Ukhala uyazithulisa owesilisa waseNewlands West ngenkampani yabadayisi bezindlu iNationwide Agents.
|||ZAMANDOSI CELE
UKHALA uyazithulisa owesilisa waseNewlands West, eThekwini, ngenkampani yabadayisi bezindlu iNationwide Agents athi imqole u-R200 000 imthembise ukumdayisela umuzi kanti ushaywa ngemfe iphindiwe.
UMnuz Fano Ngubane (51) utshele Isolezwe ukuthi ukhokhele abakwaNationwide Agents u-R200 000 ngoba elandela umyalelo wabo wokuthenga indlu ahlala kuyo nomndeni wakhe khona eNewlands West, ku-Earlsfield. Uthe wahlangana nalaba badayisi bezindlu ngoba ezimisele ngokuthenga le ndlu enamagumbi okulala amathathu eyayibiza uR800 000.
“Saxhumana noyinhloko yabadayisi emuva kokubona isikhangiso sabo base behlangana nathi bayosikhombisa umuzi,” kuchaza uNgubane.
Uthe ngenxa yokuthi izinto zazingahambi kahle ekutheni athole ibhondi ngaleso sikhathi, umdayisi wendlu abadluliselwa kuye wabeluleka ngokuthi bangayiqasha indlu kodwa kuzomele bafake u-R10 000 ku-akhawunti yakwaNationwide Agents bese kuthi njalo ngenyanga bakhokhe irenti ka-R6000.
“Ngokuhamba kwesikhathi sesibonile ukuthi umuzi siyawuthanda satshelwa ukuthi kumele sikhokhe imali engu-R200 000 ukukhombisa ukuthi sizimisele ngokuwuthenga,” kusho uNgubane othe nebala bayikhokha leyo mali kwaNationwide Agents.
UNgubane, uthe ngoSepthemba nyakenye bahamba bayobhalisela ukuthola ibhondi ka-R600 000 ukuze bezowuthenga ngokuphelele nokuyilapho baqala ukuhlangabezana nezinkinga.
“Umdayisi wendlu wakwaNational Agents obesisiza wasijikela esesitshela ukuthi kuzomele sixhumane nomphathi wenkampani ukuze kube uyena oqedela izinhlelo zokudayiswa komuzi,” kuchaza uNgubane.
Uthe bazama izikhathi eziningi ukuxhumana nomphathi wakwaNationwide Agents kodwa kungaphumeleli. Uthe wayelokhu etshelwa ukuthi uzoxhumana nomphathi uma eseseThekwini.
Uqhube wathi bekuthi njalo uma sekufika isikhathi okumele bahlangane ngaso asho amanangananga abe ngumuntu omatasa.
UNgubane uthe ngokuhamba kwesikhathi behleli kulo muzi babona sekufika abanikazi bawo abashaqeka ukuthola ukuthi umuzi uqashisiwe ngoba bona babenze isivumelwano nabakwaNationwide Agents ukuthi babatholele abantu abazowuthenga.
“Abanikazi bomuzi baveza ukuthi bathola u-R75 000 uphuma kwaNationwide Agents futhi bona indlu babeyibize u-R750 000,” kusho uNgubane.
Uthe abanikazi bomuzi babathumela kubameli babo ukuzama ukubadayisela indlu ngokusemthethweni ngoba abakwa Nationwide Agent bengasatholakali.
Uthe ummeli wabanikazi wenza isivumelwano esisha sokudayiselana ngoba abanikazi bawo babesazimisele ngokuwudayisa futhi sebewutholile no-R75 000.
UNgubane uthe abameli babe sebemluleka ngokuthi avule icala lokuqolwa kwemali emaphoyiseni kodwa ngesikhathi ezama ukulivula esiteshini samaphoyisa watshelwa ukuthi akusilo icala lobugebengu.
“Sifuna ukuxwayisa abantu ukuthi bangalutheki ngalaba badayisi bezindlu, sesidinga noma yiluphi usizo ukuze kubuye imali yethu,” kuzikhalela uNgubane.
Kuthintwa uNkk Ngidi obesebenzela le nkampani futhi esiza umndeni wakwaNgubane, uthe akasasebenzi kwaNationwide Agents.
“Ngagcina ngoFebhuwari ukusebenza khona. Anginalo ulwazi ukuthi kwenzekani,” kusho uNkk Ngidi maqede waluvala ucingo.
Isolezwe lizame izikhathi eziningi ukuxhumana noNkk Princess Ntshangase Mseleku ongumphathi wale nkampani yabadayisi bezindlu iNationwide Agents kodwa imizamo yonke ingaphumeleli.
Kamuva kuvele ukuthi le nkampani isiyathutha KwaZulu-Natal kodwa isisebenzela eGauteng.