Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Kuduke ofundela ubuthishela

$
0
0

Ukhathazekile umndeni webhungu laseMnambithi elifunda e-University of the Free State okusolakala ukuthi lithunjiwe.

|||

LUNGI LANGA

UKHATHAZEKILE umndeni webhungu (22) laseMnambithi elifunda esikhungweni semfundo ephakeme i-University of the Free State (UFS) okusolakala ukuthi lithunjiwe.

Sekuphele izinsuku ezine uSinethemba Shezi (osesithombeni) owenza unyaka wesithathu ezifundweni zobuthishela engaziwa.

Kuthiwa ngoLwesihlanu olwedlule yena nomunye umfundi bebeya esikoleni beyofunda ngesikhathi bevinjezelwe amadoda abalelwa kwayisishiyagalombili ephethe izagila nezinye izikhali. Umfundi obehamba naye uphunyukile wayobika lolu daba emaphoyiseni kodwa uShezi yena akwaziwa ukuthi ukuphi. Unina uNkk Minozi Shezi (55), uthe abazi ukuthi sebengambheka kuphi njengoba sebebheke yonke indawo.

Uthe yena nodadewabo banikele eFree State ngoMgqibelo besuka eMnambithi ngenhloso yokusiza ekuthungathweni kwakhe.

“Silokhu simbheke kusukela sifikile ngoMgqibelo. Ngike ngabuya ngeza ekhaya ngabuyela khona eFree State ngoLwesibili. Okubuhlungu ukuthi kuze kube manje asimtholi,” kusho uNkk Shezi.

Unina omncane kaShezi uNkk Ncamisile Mthethwa, uthe okubaphatha kabi ukuthi namaphoyisa awabasizi ngendlela abebefisa engathi angabasiza ngayo.

Uthe amaphoyisa abatshele ukuthi adedele owesilisa okuthiwa abafundi abebefunda noShezi bamuzwa ethi ubulawe wafakwa emfuleni.

Izolo abafundi base-UFS bamashele esiteshini samaphoyisa ePhuthaditjaba behambise izikhalo zabo ngophenyo mayelana nokuduka kukaShezi.

Usihlalo we-SRC uMnuz Thulasizwe Sithole, uthe bakhathazekile ngendlela amaphoyisa alusingethe ngayo uphenyo.

“Sikhathazekile ngoba amaphoyisa awakhombisi ukuthi aluthathela phezulu udaba lokunyamalala kuka zakwethu. Udaba lokuduka kwakhe lubikwe ngoLwesihlanu kodwa amaphoyisa awazange aqale ngalo uLwesihlanu ukuphenya ngokuduka kwakhe,” kusho uSithole.

Uthe abafundi baze bakhetha ukumisa ukufunda ngoMsombuluko ngoba bebona amaphoyisa ehudula izinyawo.

Abanye basola ukungabekezelelani ngokobuhlanga ngokuduka kukaShezi.

UMnuz Sizwe Simelane onguNobhala-Jikelele weSadesmo kuzwelonke, uthe abafundi abavela kwezinye izifundazwe njengaKwaZulu-Natal bathwala kanzima eFree State njengoba amalungu omphakathi engabamukeli.

“Abantu bathi kungani abafundi abavela eKZN bengafundi ezikhungweni zangakubo,” kusho uSimelane.

Lokhu kuholele ekuboshweni kwabafundi abalinganiselwa kwabangu-13.

Okhulumela amaphoyisa aseFree State uSergeant Mmako Mophiring, uthe akusilo iqiniso okushiwo abafundi ngamaphoyisa.

“Amaphoyisa awahuduli izinyawo kodwa abelokhu ephenya ngokuduka kukaShezi kusukela isigameko senzekile ngoLwesihlanu. Namanje uphenyo lusaqhubeka yikho nje ukuthi asikatholi lutho okwamanje. Kuboshwe abalisa abathathu ngokubanjwa inkunzi kukaShezi nomfundi ayehamba naye, labo balisa abakadedelwa,” kusho uMophiring.

I-UFS ikhiphe isitatimende inxusa ukuthi beze ngaphambili abanolwazi ngokuduka kukaShezi.


I-ECC izogubha iminyaka ewu-9

$
0
0

Ligubha iminyaka ewu-9 ngendumiso ibandla eselizakhele udumo likaMfundisi Vusi Dube kusasa.

|||

SIZWE BLOSE

LIGUBHA iminyaka ewu-9 ngendumiso ibandla eselizakhele udumo Ethekwini Community Church (ECC) likaMfundisi Vusi Dube kusasa elizoba nomkhuleko ePlayhouse, kusukela ngo-6 ntambama.

UMfu Dube uthe bahlele ukuthi umcimbi ube minyaka yonke ngalesi sikhathi.

“Sihlose ukuthi siwuqophe ukuze nalabo abangeke bakwazi ukuphumelela bawuthole. okunye okuhle wukuthi kuzonandisa amalungu ebandla asezakhele udumo eNingizimu Afrika yonke,” kusho uDube.

Amalungu athe azonandisa ubale uThinah Zungu, Sgwili, Babo, Jabu Dlamini, Sthe Gumede ozakhele udumo kwi-I Want to Sing Gospel. nekhwaya yase-ECC eqondiswa wuLinda Gcwensa noMncedisi Mthembu osuka kwiJoyous Celebration bazobe bekhona. Uthe uSipho Makhabane uyena kuphela ongelona ilungu lebandla ozokube enandisa emcimbini.

Akanandaba nabantu abamhlabayo

$
0
0

Ithi ngeke iyeke ukuthuthukisa isizwe sayo inkosi yaKwaMaphumulo.

|||

BONISWA MOHALE

ITHI ngeke iyeke ukuthuthukisa isizwe sayo inkosi yaKwaMaphumulo, eMdumezulu, eMbumbulu, uMnuz Nathi Maphumulo othi usebuya ngisho ko-Israel eyofuna imali ezomsiza kwezolimo.

Ngesonto eledlule Isolezwe libike ngamalungu esizwe saKwaMaphumulo abekhala ngokudlelwa umhlaba wawo yinkosi ngoba ithi iletha intuthuko.

Ngokwamalungu omphakathi inkosi uMaphumulo inesitayela esisha sokuletha intuthuko ngaphandle kokuwuthinta, idle izindawo ingabazisanga abanikazi bazo.

Isolezwe lihambile liyobheka le ntuthuko esisuse umsindo lathola ukuthi ngempela ikhona i-greenhouse okuyindawo yokutshala ukudla ngendlela entsha kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje.

Inkosi Maphumulo itshele Isolezwe ukuthi inkampani yakwa-Israel iTop Greenhouses Ltd yabanikeza iGreenhouse ebiza u-R1.5 million yathi bazokhokha uma sebeqala ukwenza imali.

Kuqashwe abantu abathathu kwiGreenhouse okukhona kubo nesazi kwezolimo uMnuz Khanyisa Sigadla.

Kuphinde kwaqashwa abantu abayisishiyagalolunye abatshala amazambane nobhontshisi nabane abagawula ihlathi okudayiswa izinkuni zalo. Zonke lezi zinhlelo ziseduze kweGreenhouse esebenzisa amanzi omfula iNungwane ukuchelela izivande.

“Indawo okwakhiwe kuyo i-Greenhouse bekuyinkundla engenzi lutho ngase ngibona kuyiyona okufanele isebenze. Akekho umuntu osusiwe ngoba siletha yona kunalokho siqashe abantu besizwe abathola amasentshana uma kuphela inyanga. Ukudla okutshalwa kwi-Greenhouse okuwo-cucumber, utamatisi, amazambane nobhontshisi otshalwa ngaphandle sinesivumelwano sokukudayisa esitolo sakwa-Fruit & Veg esisenxanxatheleni yezitolo iGalleria,” kusho uMaphumulo.

Mayelana nezinsolo zokuthi wavala isikole wasiphendula amahhoko ezinkukhu, utshele Isolezwe ukuthi isikole iKwaNtetha Primary School esavalwa eminyakeni engu-30 edlule uye wasenza indawo yokuhlala izingane zesikole ezaziswele indawo kwathi uma seziyofunda eSayidi FET College waletha izinkukhu ezidayiswa ngamabhizinisi ayimifelandawonye.

Kuqashwe abantu abathathu abanakekela izinkukhu, okukhona kubona nomshayeli oyedwa odiliva ezisuke zithengiwe.

Induna yaseMdumezulu, uMnuz Nhlanhleni Ndlovu, ithe udaba lokuthi inkosi idla umhlaba yinto engekho esuswa yiqeqebana labantu elifuna ubukhosi buthathwe yinkosazana yakwaMaphumulo eyayibambile.

“Thina siyazi ukuthi KwaNtetha Primary bekungasafundi muntu, ngisho abazali abakhulumayo bayazi ukuthi bese kusele izingane ezingaphansi kwekhulu. Bekungumhhume wezigcwelegcwele ebezeba izinkomo. Ezinye bezihlinzelwa emaklasini. Siyajabula thina ukuthi sekunezinkukhu futhi isizwe sethu sineGreenhouse ezoqinisekisa ukuthi sinokudla iminyaka ngeminyaka ngoba nezingane zesikole zifundiswa ngezolimo kuyona,” kusho uNdlovu.

Inkosi uMaphumulo ngeyesizwe saKwaMaphumulo eMdumezulu, eMbumbulu hhayi kwaThoyana njengoba kwakubike Isolezwe. Isizwe sakwaThoyana sinenkosi yaso Inkosi uNhlosoyesizwe Hlengwa.

Bayabulawa babuye baqothane

$
0
0

Sekuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba ukubulawa kwamaphoyisa nokubulalana kwawo KwaZulu-Natal.

|||

BAWINILE NGCOBO

SEKUPHENDUKE insakavukela umchilo wesidwaba ukubulawa kwamaphoyisa nokubulalana kwawo KwaZulu-Natal.

Kulezi zinyanga ezinhlanu ezedlule sekunezigameko zokubulawa kwamaphoyisa esemsebenzini, ezamaphoyisa abulala amanye okuthiwa athandana nawo bese nawo ayazibulala, amanye aboshelwe ukubulala ozakwabo bengekho emsebenzini.

Ezinyangeni ezinhlanu ezedlule sekubulawe amaphoyisa esifazane amathathu ngozakwabo okusuke kuthiwa bathandana nabo, nabo bazibulale.

Isigameko sakamuva senzeke ngoLwesihlanu ebusuku lapho kuthiwa uConstable Lindiwe Xulu (31) udutshulwe esekhaya eMahwaqa, eMzumbe, yiphoyisa eliyisoka lakhe uConstable Howard Ngcobo (34) washona.

Emuva kwalesi sigameko uNgcobo ufunwe ngamaphoyisa agcine emthole esezidubulile wazibulala.

Womabili lamaphoyisa abesebenza esiteshini saseDududu abengekho emsebenzini ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Kwenzeka lesi sigameko nje ngenyanga edlule iphoyisa laseWentworth uDetective Constable Lungiswa Mashabala (32) ubulawe obethandana naye uLt Colonel Sipho Zuma (48) obesebenza esikhumulweni semikhumbi eThekwini.

UZuma wazidubula emuva kokuthi edubule uConstable Mashalaba kanti batholwa sebeshonile eBluff.

Kwesinye isigameko esenzeke ngoJuni, uConstable Zandile Zwane obesebenza esiteshini samaphoyisa eHibberdene ubulawe owayeyisoka lakhe uMnuz Thulebona Madlala washona ekubo eMthwalume.

UMadlala wayengumabhalane esiteshini samaphoyisa.

Kwesinye isigameko esenzeke enxanxatheleni yezitolo ePavillion ngesonto eledlule iphoyisa laKwaMashu uConstable Zain Sheik ubulale intombi yakhe Sheree Branches esitolo asebenza kuso wabe esezibulala.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Thulani Zwane, uthe banalo uphiko olubhekele ukululeka amaphoyisa asuke ezizwa enengcindezi emsebenzini nasemakhaya kodwa amaphoyisa akaphoqwa ukuthi eze azolulekwa ayazikhethela.

Uthe banosonhlalakahle, abeluleki bezomoya (abefundisi) nengqondo nophiko olusiza abahaqwe yigciwane le-HIV nabakhubazekile.

“Uphiko lwe-Employee Health and Wellness lusiza bonke abasebenzi kanti umsebenzi angeza noma yinini uma ebona ukuthi unenkinga emsebenzini noma ekhaya. Akuphoqwe muntu kodwa umuntu uza uma ezizwa ukuthi udinga usizo,” kusho uZwane.

Uthe lolu phiko luyasebenza ezingeni le-Cluster nelesifundazwe futhi amaphoyisa ayalusebenzisa kodwa bayagqugquzela ukuthi amaphoyisa eze azolulekwa njalo uma kade ebhekene nezimo ezinzima emsebenzini nasemakhaya.

NgoLwesithathu kufihlwe iphoyisa lasePinetown elibulawe ngoMgqibelo ngesibhamu salo ngumsolwa esitokisini uWarrant Officer Norman John. Kulesi sigameko kulimale ozakwabo bakaJohn ababili nalo msolwa obedubula wabulawa.

NgoSepthemba kubulawe iphoyisa laseBerea uConstable Zethu Cele owayeyobheka lapho kwakubanjwa khona inkunzi.

UConstable Nkanyiso Ngcobo waseDurban Central isidumbu sakhe satholwa sigqitshwe eMkhomazi emuva kokuthi kade esenyamalale amasonto amathathu.

Kwaboshwa ozakwabo ababili nomunye abasahamba inkantolo kuyimanje.

Esehlakalweni sangeSonto iphoyisa laseNewcastle, uLt Aaron Khoza, utholwe eshonile emzini wakhe enamanxeba okugwaza amaningi kwathathwa isibhamu sakhe somsebenzi.

Usomatekisi ubulawe ngoyaba lwezinhlamvu eLindelani

$
0
0

Kusuke esinamathambo eLindelani, eThekwini, kudutshulwa usomatekisi wendawo ngoyaba lwezinhlamvu.

|||

MCEBO MPUNGOSE

KUSUKE esinamathambo izolo ekuseni eLindelani, eThekwini, kudutshulwa usomatekisi wendawo ngoyaba lwezinhlamvu ephuma ekhaya kungakapheli ngisho isonto kade esemkhulekweni kasosesheni becela ukuthula nokuphepha embonini.

Usadidekile umphakathi ngokubulawa kukaMnuz Bafana Blose obeyilungu likasosesheni waseLindelani enamatekisi amahlanu. Umndeni wakhe ucele ukungakhulumi neSolezwe. Kodwa ubuye wathi ushaqekile ngoba kwenzeka lokhu kade kunomthandazo ngoMgqibelo odlule kucelwa ukusebenza ngokuthula. Ozibonele isigameko sayizolo, ohlala bude buduze nomuzi kaBlose, uthe senzeke ngo-6 ekuseni umufi esemotweni yakhe, iToyota Hilux, esezofika ekhoneni lomgwaqo uMzwilili Road noDukuza Road.

“Bekukhona owesilisa obencike ngesigxobo efake isigqoko esimnyama ephethe nesikhwama esincane ngesandla. Uqale ukumdubula ebhekise ewindini langaphambili, waqhubeka washaya naseceleni ngasezicabheni zemoto,” kuchaza ozibonele ocele ukungadululwa ngoba esabela impilo yakhe.

Emuva kokudutshulwa, imoto kaBlose izihlehlele yona yayongena emzini oseduzane.

“Obemdubula uqede wafaka isibhamu esikhulu abesisebenzisa esikhwameni sakhe, wabe esehamba eshaya kancane engathi akwenzekanga lutho,” kuqhuba ozibonele othe ucele empunzini wabuyela endlini yakhe eqeda ukubona okwenzekile.

Abasebenza noBlose, nabo abacele ukungadalulwa, bathe bekungekho sigameko ebesikhombisa ukuthi khona ozobulawa. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uthe: “Inhloso yokubulala ayikaziwa. Akukaboshwa muntu okwamanje. Endaweni yesigameko kutholwe amagobolondo e-R5 ne-9mm. amaphoyisa aseNtuzuma aphenya icala lokubulala,” kusho uZwane. Kwesinye isigameko esifana nalesi ngoJulayi kwadutshulwa usomatekisi wafa kusosesheni wamatekisi eLindelani nomakhenikha owayeseduze naye. Usomatekisi wayepake imoto yakhe eyiveni iNissan Hardbody emgwaqweni ephumile eyothenga enqoleni eseceleni komgwaqo kanti kuzoqhamuka amadoda avulele ngenhlamvu ebhekise kuyena. Washonela emotweni yakhe.

Uchaza okwenzekile osinde eZakheni

$
0
0

UMnuz Sizwe Thembekwayo uthi ngenkathi ephuma ebuka imilomo yezibhamu zalabo ababebasoconga wayesekwamukele ukuthi bazomqedela kanye nabanye abasinda.

|||

MOLOSANKWE BOTHO

‘SIDUBULE abantu okungebona, akubona laba.’ Lawa ngamazwi okuqala owesilisa waseGoli awezwa egaqa ngamadolo ephuma emotweni iMercedes-Benz C Class emuva kokudutshulwa ngabantu abangaziwa ababulala unkosikazi wakhe balimaza nabanye eZakheni, KwaZulu-Natal.

UMnuz Sizwe Thembekwayo (49) uthi ngenkathi ephuma ebuka imilomo yezibhamu zalabo ababebasoconga wayesekwamukele ukuthi bazomqedela kanye nabanye abasinda. Kunalokho laba besilisa baveze ukuthi badubule abantu okungebona, bangena ezimotweni bashaya bachitha.

UThembekwayo, waseVlakfontein, uthe basuke eGoli ekuseni ngoMgqibelo nonkosikazi wakhe, uNkk Phindile Thembekwayo nomshana wabo uJacqui, beya emshadweni wesihlobo eZakheni behamba ngemoto yomzala wakhe uMnuz Pini Hlomuka nonkosikazi wakhe uHappy.

Umfowabo uMnuz Teddy Msimang nabanye abayisishiyagalombili babehamba ngekhumbi iVW. Babuyela eGoli ngo-4 ntambama emva komshado, uMsimang waduka endleleni ejikela kwesokudla kumele aye kwesobunxele. Uthe zonke izimoto ezazingemuva kwakhe zalandela yena zizama ukumazisa ukuthi akajike nokulapho kwazwakala umsindo omkhulu. Uthe babezitshela ukuthi imoto engemuva kwabo yayishayiswa kodwa babona ukuthi bayadutshulwa.

“Sonke sasihayiza. UPini wahluleka ukulawula imoto yaphenduka emgwaqeni. Sasiqhubeka siqhuma isibhamu imoto yaze yawela emseleni. Ngicabanga ukuthi basidubula ka-16,” kusho uThembekwayo.

“UHappy, uJacqui nami saphuma siphakamise izandla kunamadoda amabili ayeme phambi kwethu esikhomba ngezibhamu. Kwakunabanye besilisa ababili ababehlezi emotweni, sathi siphuma nje oyedwa wabo wamemeza wathi ‘sidubule abantu okungebona, akubona laba’ usho kanje.

UThembekwayo wasala nenxeba elilodwa lokudutshulwa esiswini. UPini noJacqui babanemihuzuko yezinhlamvu emakhanda, uNkk Hlomuka wadutshulwa kathathu ehlombe. UNkk Thembekwayo wadutshulwa kahlanu; kane emhlane, nakanye entanyeni.

“Samkhipha ngokushesha emotweni uHappy uzamile ukumsiza njengoba engumhlengikazi kodwa ubesakwazi ukuvula amehlo akhe kuphela ngenkathi simbiza ngegama,” usho kanje.

Nakuba uNkk Hlomuka ezamile ukumsiza, uNkk Thembekwayo washonela endaweni yesigameko. Umshayeli wetekisi obebuka konke lokhu kwenzeka ushayise iloli engazoni eyadlula nemiphefumulo eyisishiyagalolunye.

Uwulopholo ofuna ukusiza uZuma

$
0
0

Owesilisa waKwaMashu ubhalele ikomiti elibhekene nodaba lokwakhiwa komuzi kaZuma ecela ukuthi lisho imali okumele ibuyiswe.

|||

CELANI SIKHAKHANE noMBALI KHANYILE

UMANGELE umndeni womlisa waKwaMashu obhalele ikomiti lasePhalamende elibhekene nodaba lokwakhiwa komuzi kaMengameli Jacob Zuma oseNkandla lapho ebecela ukuthi kushiwo imali okumele ibuyiswe ukuze ayikhokhe yonke.

UMnuz Bhekinhlanhla Mzimela (63) ongumalume kaMnuz Vumelani Mchunu akhulele kuye, utshele Isolezwe izolo ukuthi bayaqala ngqa ukuzwa ngalesi sinqumo sakhe ngoba akakaze abatshele futhi abazi ukuthi uzoyithathaphi le mali yokusiza uZuma.

UMchunu ubhale le ncwadi ngokwenhlangano iPublic Members Unit Team bese kuba inkampani yakhe iVum Vum kanti ayibhalisiwe ngokusemthethweni kodwa uMchunu ucashunwe ethi konke lokho basezinhlelweni zokukwenza.

Ufuna ukukhokha le mali ngoba ethi wenzela uphele lo msindo onganqamuki obhekene noZuma ukuze izwe liye phambili.

“UVumelani angimazi ukuthi uzoyithathaphi le mali engaka yokukhokhela umuzi kaZuma ngoba engikwaziyo ukuthi ungumfana ongantshontshi kodwa ozizamelayo nohloniphayo. Ukube yilaba bantu abagqekeza amabhange bengingavuma. Engikukholwayo ukuthi angayikhokha le mali uma ebambisene nabantu abathile hhayi ukuthi ayenze yedwa ngoba inkulu le mali,” kusho uMzimela.

Ubuye wakucacisa ukuthi ngeke amehlulele ngoba akahlali naye sekunesikhathi ahamba ekhaya futhi sewaze washadelwa waba nomndeni wakhe.

“Ngeke uyazi intsha ngezinto ezenzayo ngoba noVumelani ubengumuntu oyiphanta kusuka ekhula engafuni ukusebenza kwamlungu kodwa ezisebenza yena eqoqa izingane eziqeqesha ngomdanso ethwebula nezithombe.Yena akuyena umuntu ohlala phansi abheke ukuphiwa, ngakho uma kwenzeka esiza uZuma kusho ukuthi nathi kukhona esiyokuthola kumshana,” kuqhuba uMzimela.

UMzimela uficwe yiSolezwe emzini wakhe ongakaqedwa ukwakhiwa awunwebayo njengoba ubungamagumbi amabili okulala okuyiwona akhulise kuwo izingane zakhe noMchunu.

Ebuzwa ngawo, uthe njengoba ewakha alukho usizo alutholile kuMchunu kodwa uzakhele yena ngemali yakhe yakwamasipala.

Uthe akakholelwa ekutheni kumele izingane zimsize uma kukhona akwenzayo ngoba akusilona ijoka lazo.

“Ngizakhele le ndlu kanti umuntu ongisizile indodakazi yami eyangisiza ngo-R27 000 njengoba le ndlu umakhi wayo engibize u-R55 000 wokungakhela. Ngifuna ukucacisa ukuthi noma kunjalo kodwa ayikho ingane engiyibeka icala ngokuthi ayifakanga isandla ngoba nazo zinezidingo zazo ngihlanganisa nomshana wami uVumelani,” usho kanje.

Abasebenzi baseK-Cap kwaMashu ababuzwe ngoMchunu bavele baqhuma insini bebuza ukuthi imali uyithathaphi ngoba abazi ngisho ibhizinisi elibambe-kayo alenzayo ngaphandle kokuzi-phantela ngokuthwebula izithombe.

Abanye omakhelwane bangakubo nabo bethukile ngoba bebengalwazi lolu daba.

“Hawu kanti uVumelani useyeba yini, uzoyithathaphi imali engaka ngoba uZuma uyena onganikeza yena leyo mali, uhola izizumbulu angakwazi ukuzikhokhela le mali edingeka ngomuzi wakhe,” kusho omunye wobaba abangomakhelwane owale waphetha ukuthi athwetshulwe izithombe.

Naye umalume kaMchunu wale waphetha ukuthi athwetshulwe, ethi izinsizwa zangakubo eMelmoth zingathini esevela emaphepheni ngezinto angazazi.

Uthe wazi ukuthi umuntu ovela ephepheni usuke eyisigebengu manje yena akafuni nje nezithombe zakhe, kanti nomkakhe obethintwa ngocingo wale waphetha ukumnika imvume yokuthwetshulwa izithombe.

UMchunu ethintwa, uthe akubhalwe noma yini futhi balungile labo abamhlekayo kodwa yena uyakwazi akwenzayo kanti kumanje umatasa uhlanganisa abantu abazosiza kulo mkhankaso wakhe.

“Ngiyazi ukuthi sekukhona abangenza ihlaya kodwa mina anginankinga ngoba ngingumfana owaziwayo KwaMashu osebenza ngokuzikhandla. Okwamanje angifuni ukudalula imininingwane eminingi ngengikwenzayo kodwa ngizonazisa uma konke sekuhlangene,” kusho uMchunu.

Usihlalo wekomiti laseNkandla ePhalamende uMnuz Cedric Frolick uyichithile le ncwadi kuleli komiti kodwa wathi bazoyidlulisela ePhalamende ukuze idingidwe amalungu.

Kwenzeka lokhu nje omunye wabasebenzi abathintekayo odabeni lomuzi kaZuma abangu-12 nabaphekwa ngemibuzo iSpecial Investigative Unit, usethembise ukuthi uzokuveza ukuthi uZuma wayazi kahle ngokwenzeka kwakhe futhi wayalela izinkampani ezimbili zokwakha ukuthi kuqokwe zona ngoba wayeseke wasebenza nazo ngaphambilini.

Lezi zinkampani kubalwa iBonelene kaNksz Thandeka Nene eyahlomula ngo-R78 million ngokungafanele bese kuba iMoneymine nayo eyayakhela uZuma phambilini.

Kukhonjwa izimenenja zasemarenki amatekisi nabagibeli ngokwanda kwezingozi

$
0
0

Isikhulu esibhekele ukuphepha kwabagibeli ematekisini KwaZulu-Natal sigxeka izimenenja emarenki.

|||

THOKOZANI MBUNDA

ISIKHULU esibhekele ukuphepha kwabagibeli ematekisini KwaZulu-Natal sigxeka izimenenja emarenki amatekisi ngokufunjathiswa imali engu-R5 ngabashayeli ukuze itekisi iphume ilayishe inyinyitheka erenki.

UMnuz Mark Mbambo ukusho lokhu ngoLwesithathu ngesikhathi ekhuluma enkonzweni yokukhulekela ukuphela kwezingozi emgwaqweni u-M25 onqamula eNanda.

UMbambo uthe ukufunjathiswa kwezimenenja emarenki kunomthelela wezingozi ezigcina sezenzekile kungenasidingo.

“Akusizi ukujabulela imadlana kube kufa abantu. Abanikazi bamatekisi nabo kumele bayeke ukufuna imali engaphezu komsebenzi wetekisi ngoba lokho kuholela ekutheni nabashayeli bagcine sebenengcindezi,” kuxwayisa uMbambo.

Isolezwe lisanda kubika ngezingozi eseziphenduke insakavukela kulo mgwaqo ngezikhathi zasekuseni.

Ngenyanga edlule kushayisane amatekisi abelayishile esuka eNanda eya eThekwini kwalimala inqwaba yabagibeli. Emuva kwale ngozi kwenzeka enye yebhasi eyaphaphalaza yagingqika kusolwa ukuthi umshayeli uthuswe inyoka eyavumbuka ebhasini.

UMnuz Duze Ngcobo obekhuluma egameni labamatekisi uthe ezinye izinto eziba nomthelela ekwenzekeni kwezingozi kuba abagibeli abafakela abashayeli ingcindezi ngenxa yokujaha.

“Thina njengabantu abamele abamatekisi ngeke sivuke ekuseni sinikeze abashayeli izikhiye zokuthi bayoqotha abantu emgwaqweni,” kubeka uNgcobo.

UMfundisi Sbusiso Msomi webandla iMt Zion Nation obegqugquzela lo mkhuleko uthe balandela ikhwelo elenziwa nguNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu owacela ukuba kwenziwe imikhuleko ngenxa yalezi zingozi ezibhidlangile.


Umnikelo ozosiza abaseShumayela

$
0
0

UVodacom noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal banikele ngobuchwepheshe esikoleni iShumayela Secondary School eMlazi kwa-Q.

|||

MCEBO MPUNGOSE

UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal ngokubambisana nabakwaVodacom ne-ICASA banikele ngobuchwepheshe esikoleni iShumayela Secondary eMlazi kwa-Q izolo njengengxenye yokuqhuba uhlelo lwezokuxhumana nokunika abafundi ulwazi kwezobuchwepheshe bezokuxhumana.

Izolo besiqala ukusebenza isikhungo sezokuxhumana nokuthola ulwazi ngendlela esheshayo kulesi sikole esinama-tablet angu-26 ne-laptop esebenzisana ne-smart board ezosetshenziswa othisha.

Inhloko yoMnyango wezeMfundo uDkt Nkosinathi Sishi ukushayele ihlombe ukuvulwa kwalesi sikhungo wathi kukhomba ukuthi umnyango uzimisele ukulethela bonke abafundi imfundo esezingeni.

“Ngenkathi siluqala loluhlelo eminyakeni eyisikhombisa edlule, abaningi bathi kuyicebo elihle khona kodwa ngeke kwenzeke. Njengamanje zibalelwa ku-1 500 izikole zaKwaZulu-Natal esezifakelwe lolu hlobo lobuchwepheshe futhi kuseyisiqalo lesi,” kusho uSishi.

Ubonge inkampani uVodacom ngokusebenzisana nomnyango ebalula ukuthi kuhle ukuba nobudlelwane nezinkampani ukuze imfundo ibe sezingeni eliphezulu futhi elilinganayo kuzo zonke izikole. Isikhulu esiphezulu sakwaVodacom, uMnuz Vuyani Jarana, sibonge uMnyango wezeMfundo ngokubanikeza ithuba lokwelula isandla emphakathini.

“Asizanga kulesi sikole ukuthi sizonikela ngezinsizakufunda bese siyashiya sifulathele abafundi. Sizoqhubeka nokusebenzisana naso ukuqinisekisa ukuthi esibanikeze khona kuhlale kusebenza njalo,” kusho uJarana.

Emva kokwethulwa kwesikhungo, uthisha wesifundo iLife Sciences kulesi sikole, uMnuz Martin Miseu, ufundise abafundi nge-smart board ukukhombisa ukuthi sisebenza kanjani kanti umfundi ngamunye ubehlezi ne-tablet yakhe emnikeza lonke ulwazi ngesihloko abafunda ngaso.

UMiseu uthe leli bhodi lenze umsebenzi wakhe waba lula kakhulu.

“Phambilini bengisazoqala ngidwebe isithombe sento engizofundisa ngayo, manje abafundi sebebona isithombe esiyiso.

Kungehlisele umthwalo futhi kuzosiza abafundi kakhulu ukuthi babe nama-tablet phambi kwabo ngoba yonke incwadi abayifunayo noma incazelo sebezoyithola kalula.”

UNgcebo Zungu ofunda uGrade 12 kulesi sikole ubonge umnyango noVodacom ngokwenza ukufunda kube lula.

“Njengoba kungunyaka wami wokugcina lona ngikulesi sikole ngifuna ukugqugquzela abafundi abasilandelayo ukuthi basisebenzise kahle lesi sikhungo ukuze amamaki abo abe ngcono. Nathi njengabafundi be-Life Sciences sizosizakala ngaphambi kokuthi sibhale izivivinyo zokugcina,” usho kanje.

Uthe ama tablet azobasiza bathole ulwazi ngokushesha njengoba umtapo wolwazi bengasenawo esikoleni kanti phambilini bekumele baye kowaselokishini.

Bavakashele izibhedlela ukuyohlola

$
0
0

Kungakapholi maseko i-IFP ikhale ngokuthi amalungu esiShayamthetho KwaZulu-Natal alele emaqandeni.

|||

MLUNGISI GUMEDE

KUNGAKAPHOLI maseko i-IFP ikhale ngokuthi amalungu esiShayamthetho KwaZulu-Natal alele emaqandeni njengoba sekuphele izinyanga ezimbili iphalamende lingahlali, izolo ongqongqoshe bathe chithi saka ezibhedlela ezahlukene esifundazweni ngenhloso yokuhlola ukuthi iziguli ziphathwa kanjani.

USomlomo uNkk Lydia Johnson uthe amalungu esiShayamthetho njengoba ehambela izikhungo zezempilo, aphelezelwa ngabacwaningi abathatha imininingwane ngenhloso yokuhlanganisa umbiko okuzobhungwa ngawo esiShayamthetho.

“Lolu wuhlelo silwenza minyaka yonke ezikhungweni zikahulumeni ukubheka ukuthi zisebenza ngendlela efanele yini nokubheka izingqinamba umphakathi nezisebenzi obhekene nazo,” usho kanje.

Uthe ngalolu hlelo bafuna ukubheka futhi lezo zibhedlela ezenza kahle ngokuhlinzeka izidingo kubantu nokuzigqugquzela ukuthi ziqhubeke nomsebenzi wazo omuhle.

Wengeze ngokuthi bafuna ukuthola nalezo ezibhekene nezingqinamba, kungaba wukushoda kwezinsiza noma kunenkinga yabaphathi, ukuze lezo zinkinga zixazululwe.

UNgqongqoshe wezobuCiko amaSiko, ezeMidlalo nokuNgcebeleka KwaZulu-Natal uNkk Ntombikayise Sibhidla-Saphetha uhambele izibhedlela ezisesifundeni iLembe.

Uhambele eMontebello nase-Appelsbosch. Isibhedlela sase-Appelsbosch sisanda kuqala uhlelo lwezempilo lukazwelonke lweNHI.

Ephawula ngezinga lokusebenza kwezibhedlela, uNkk Sibhidla-Saphetha, uthe ugculisekile ngendlela eziningi ezisebenza ngayo.

“Kusihlabe umxhwele futhi ukuthola ukuthi izinga lenhlanzeko liphezulu kulezi zibhedlela okuyinto eseqhulwini ohlelweni lweNHI,” kusho uNkk Sibhidla-Saphetha.

Uthe umphakathi ukhale ngokuthi umgwaqo oya esibhedlela iMontebello awukho esimweni esihle okwenza kube nzima ukufinyelela kuso ngokushesha.

Ilungu lesiShayamthetho, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe izinhlelo zokulungisa umgwaqo oya eMontebello seziyaphothulwa.

Amacala abe ngundabuzekwayo

$
0
0

Kule minyaka engu-20 sibone kungena amacala abe nesasasa lokulandelwa ngabantu abaningi.

|||

BAWINILE NGCOBO

KULE minyaka engu-20 sibone kungena amacala abe nesasasa lokulandelwa ngabantu abaningi ngenxa yokuthi asuke ethinta abantu abadumile noma ethinta izigameko ezishiye imiphakathi ishaqekile.

Kulawa macala kukhona abethinta abantu abasemikhakheni eyehlukene kuleli okubalwa ipolitiki, isemaphoyiseni, abaculi, abasolwa ngokushushumbisa izidakamizwa njalo njalo.

n Ngenxa yezigameko ezazinodlame zepolitiki KwaZulu-Natal ukubulawa kukaMnuz Thomas Tshabalala owayeyilungu lePhalamende le-IFP ngo-2005 kwaba ngundabuzekwayo.

UTshabalala wadutshulwa ekwakhe eLindelani phambi kwezingane zakhe.

Kuleli cala kwaboshwa uNkosinathi Chiya owagwetshwa udilikajele kanti ngo-2013, uChiya ukhishiwe ejele emuva kokuthi efake isicelo esaba yimpumelelo sokuthi kubuyekezwe icala emuva kokuvela kobunye ubufakazi obusha obuveza ukuthi akuyena owenza icala.

n Icala elathusa abaningi elokudlwengula elalibhekene nosenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ngo-2006.

UZuma wayesolwa ngokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-31 owayehaqwe yigciwane lengculazi.

UZuma waliphika icala waveza ukuthi wageza eshaweni emuva kokwenza ucansi ababevumelene ngalo nalo wesifazane futhi wayengahaqiwe yigciwane lesandulela ngculazi.

Icala lamthetha.

n Icala lokulahleka kwephoyisa lesifazane uConstable Francis Rasuge owalahleka kade egcine ukubonakala nesoka lakhe ngaphandle kwendawo yokucwala izinwele eThembisa, eGauteng, ngo-2004 laba yindaba enkulu.

Kuleli cala uWilliam Nkuna wagwetshwa udilikajele singakaze sitholakale isidumbu sentombi yakhe. Isidumbu sikaConst Rasuge size satholakala ngo-2012.

n Elinye icala eladonsa amehlo phakathi kuka-2004 no-2006 ngelikaSchabir Shaik owayengumeluleki wezimali kaMengameli Zuma.

Kuleli cala uShaik wayebhekene namacala enkohlakalo nokukhwabanisa kanti kwavela ukuthi wayenokuboleka uZuma imali ngokungekho emthethweni.

UShaik walahlwa yicala ngo-2006 wagwetshwa iminyaka engu-15 kodwa wahlala ejele izinyanga ezimbalwa ayezihleli esesibhedlela ngenxa yokugula.

Wakhishwa ngoshwele wabagulayo ukuthi ayoqedela isigwebo sakhe ekhaya.

n Icala lokubulawa kukasomabhizinisi wasezimayini uBrett Kebble ngo-2005 kwaba yicala elisematheni emuva kokuthi kuthinteke owake walahlwa ngamacala ezidakamizwa uGlen Agliotti.

Uphenyo lwamaphoyisa lwaveza ukuthi u-Agliotti wayenobudlelwane obungekho emthethweni, ephisana ngemali nezipho ezibizayo nowayengumkhuzi wamaphoyisa uJackie Selebi. USelebi wagcina eboshiwe kanti icala lakhe lenkohlakalo nalo laba ngelinye elidonse amehlo abantu.

USelebi watholwa enecala ngo-2010 wagwetshwa iminyaka engu-15 ejele enkantolo enkulu eGoli ngo-2010 kanti wahlala izinyanga ezimbalwa wabe esekhishwa ngoshwele wabagula kakhulu ngo-2012.

n Elinye icala elaba ngundabuzekwayo KwaZulu-Natal ngelikamalugaju uThozamile Taki owaboshwa ngo-2007 ngamacala okubulala abesifazane abangu-13 ababehamba emakhaya bethole umsebenzi eMzinto.

Izidumbu zalaba besifazane zazitholwa esimobeni eMzinto sezonakele. UTaki wagwetshwa odilikajele abangu-13 ngamacala okubulala neminyaka engu-16 icala ngalinye kwangu-13 okubamba inkunzi esebenzisa isihluku. Inkantolo yakhipha umyalelo wokuthi angakhishwa ngisho nangoshwele ejele.

n Elinye icala eladonsa amehlo ngelokuboshwa kwabangu-26 abegcina sebebizwa nge-KZN 26 ngamacala okubamba inkunzi kuhlonyiwe, ukubulala, ukuzama ukubulala nokuthumba.

Laba babesolwa ngokubamba inkunzi izimoto ezithwala imali.

Baboshwa ngo-2006 kanti emuva kweminyaka eyisithupha behamba icala baze bagwetshwa enkantolo enkulu oPhongolo.

Bagwetshwa sebengu-24, umuntu ngamunye wagixabezwa ngodilikajele.

n Icala lowayengumculi wakuleli uJub Jub Maarohanye nomngani wakhe uThemba Tshabalala nalo libe ngundabuzekwayo laba babebhekene necala lokubulala abafundi abane eSoweto nokulimaza abanye ngesikhathi bejahana ngezimoto ama-mini cooper bedle izidakamizwa.

Bagwetshwa iminyaka engu-25 umuntu ngamunye ngo-2012 kanti muva nje inkantolo iguqule isinqumo sayo secala lokubulala kwaba yicala lokubulala ngokungenhloso nokuholele ekwehleni kwesigwebo.

n Icala lomsubathi odume umhlaba wonke u-Oscar Pretorius elisaqhubeka lokubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp nalo lidonse amazwe omhlaba njengoba linanesiteshi sethelevishini elivezwa kulo.

Idinga u-R40b inkiyankiya yamanzi

$
0
0

Kudingeka imali engu-R40 billion KwaZulu-Natal ukuxazulula inkinga yamanzi.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

KUDINGEKA imali engu-R40 billion KwaZulu-Natal ukuxazulula inkinga yamanzi esidale imibhikisho eminingi esifundazweni.

Lokhu kuvele izolo emhlanganweni wezinsuku ezimbili weziMeya neziMenenja komasipala obizwe uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube. Umhlangano ubuseHowick.

Ekhuluma uNgqongqoshe ukubeke kwacaca ukuthi inkinga yamanzi isezinkingeni ezithwalisa kabi omasipala abaningi okudingeka ukuba kutholakale isisombululo ngokushesha kuyo.

UNksz Noluthando Magewu oyisikhulu kulo Mnyango uthe ingu-R40 billion imali edingeka ngokushesha ukuxazulula inkinga yamanzi komasipala.

Ethula umbiko wakhe uthe ngokuhambisa amanzi ngamathangi, okuyisisombululo sesikhashana, kusetshenziswe u-R294 507 million ngonyaka esifundazweni.

“Isimo sokungabi khona kwamanzi siholela ekutheni kuhanjiswe amanzi ngamathangi nakho okuthatha imali eningi okusho ukuthi ayikho esalayo ukuba kwenziwe ingqalasizinda ezokwenza kube namanzi anele. Lezo zindawo ezinayo ingqalasizinda yamanzi akalondolozwa ngendlela nokwenza umthwalo wokulethelwa kwabantu amanzi ube mkhulu kakhulu,” kusho uNksz Magewu.

Umbiko othuliwe kulo mhlangano uveze ukuthi iTheku lisalele ngemuva ngo-18.90% wabantu abangenawo amanzi.

Isifunda sasoThungulu sihamba phambili ngo-95.20% wabantu abasadinga ukuthola amanzi, kulandele uMzinyathi ngo-90%.

OThungulu kuvele ukuthi basebenzisa amanzi asemathangini abiza u-R88 million, eMgungundlovu R54 million naseZululand R28 million, eMkhanyakude u-R22 million. UMnyango ugcine ukhiphe u-R42 million wokuhlinzeka omasipala ngamanzi amathangi ngenyanga.

UNkk Dube-Ncube uthe kubalulekile ukuba nomhlangano neziMeya ukuze bakhuculule izinkinga ababhekene nazo.

“Kubhekwe omasipala ukuba belethele umphakathi intuthuko. Kuningi kakhulu okumele sikulungise kulo mhlangano ukuze siqinisekise ukusebenza ngendlela. UNdunankulu uMnuz Senzo Mchunu ubekhathazekile ngokuthi omasipala bakulungele yini ukubhekana nezinhlekelele, okuyinto esimnike isiqiniseko sokuthi singakwazi ukuyenza. Manje kumqoka ukuphinde sibuyekeze ukuthi kusenjalo. Kuningi kakhulu okukhathazayo okubalwa amanzi nogesi neziteleka okubhekwe ukuba omasipala bakumele,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Uthe udaba lokulethelwa kwabantu ugesi luyakhathaza kakhulu.

“Inkinga enkulu esibhekene nayo wukuthi kwa-Eskom abakwazi ukusinika isisombuluko uma siza nenkinga nemibuzo esinayo abakwazi ukuyiphendula nabo bathi abazi. Lokhu kwenza kube nzima ukuchazela abantu ngokulethwa kwentuthuko kagesi,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Namhlanje kubhekeke ukuba kuqhanyukwe nezindlela ezizoxazulula izinkinga ezibhekene nomasipala.

Kuvalwe amahhovisi ngenxa ka-R100 000

$
0
0

ISsisuse umsindo indaba yokuvalwa kwamahhovisi oMnyango wezoLimo asoPhongolo, KwaZulu-Natal.

|||

CELANI SIKHAKHANE

ISISUSE umsindo indaba yokuvalwa kwamahhovisi oMnyango wezoLimo asoPhongolo, KwaZulu-Natal, avalwe umnikazi wezakhiwo okuqashwe kuzo ngenxa yesikweletu serenti ka-R100 000 esingakhokhiwe uhulumeni.

Lokhu kwenzeke kungakapheli ngisho izinyanga ezimbili umnikazi wezakhiwo eziqashwe uMnyango wezoLimo ethukuthele wavala amahhovisi ekhala ngokuthi sekuphele isikhathi eside engakhokhelwa imali yakhe yanyanga zonke.

I-DA isola uNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya, uMnuz Cyril Xaba noweze-Misebenzi yoMphakathi uMnuz Ravi Pillay ngokungathembeki ngalolu daba.

UMnuz Francois Rodgers we-DA esiShayamthetho saseKZN uthe lokhu sekushiya imibuzo ngokusebenza kukahulumeni wesifundazwe.

“Kuyethusa ukuthi kungakapheli ngisho izinyanga ezimbili kube nenkinga yokukhokhwa kwe-renti yamahhovisi asoPhongolo sekuqala le nkinga ngenxa yoMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi ongayikhokhile imali yanyanga zonke njengoba kungumsebenzi wawo ukubhekana nezakhiwo ezisuke ziqashwe iMinyango kahulumeni,” kusho uRodgers.

Uthe uhulumeni uqale umkhankaso obizwa ngokuthi “sikhokha ngesikhathi” ukuze kuqinisekiswe ukuthi abenza imisebenzi nohulumeni bakhokhelwa ngesikhathi kodwa babona sengathi uyehluleka.

URodgers uthe ekuqaleni kukaSepthemba bazwakalise ukukhathazeka ngoMnyango kaXaba wezoLimo ngomkhuba owuhlasele wokungabakhokheli abantu ngesikhathi.

Uthe baze bamyalela ukuthi kufanele axhumane nozakwabo uPillay ukuze kulungiswe indaba yokuthi bakhokhelwe ngesikhathi abenza imisebenzi neMinyango kahulumeni.

Okhulumela uMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, uMnuz Nkosingiphile Ngubane, uthe kuyabethusa okwenzekayo ngoba udaba lokukhokhwa kwemali edingekayo bayalulungisa.

“Okumele sikucacise wukuthi nakuba udaba silulungisa kodwa njengoMnyango sicelile kumnikazi wezakhiwo esisebenzela kuzona ukuthi asilungisele amahhovisi abe sesimeni esigculisayo ngoba abasebenzi bethu bebengeneme ngendawo abasebenzela kuyona. Ngaphandle kwalokho sekuyiminyaka sisebenzela kulama hhovisi nokuyinto esiphatha kabuhlungu ukuthi lo muntu usengaze avale amahhovisi ekubeni uMnyango kuyona yonke le minyaka ubuhlale umkhokhela kahle ngendawo esiyiqashile,” kusho uNgubane.

Okhulumela uMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi uMnuz Mbulelo Baloyi uthe bakhokha uma lowo Mnyango osuke uqashe izakhiwo ubanikezile imali.

“Thina njengoMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi imali esisuke sikhokha ngayo kulezo zakhiwo zikahulumeni eziqashiwe ivela kuleyo Minyango esuke ithinteka. Uma uMnyango ungakhokhanga kuba nzima nakithina ukuthi sibe nemali yokukhokha,” kusho uBaloyi.

UMnuz Chris Smit ongumnikazi wamahhovisi aqashwe uMnyango wezoLimo uthe uke wawavala amahhovisi kodwa manje avuliwe yize engakhokheliwe imali yakhe.

“Ngisalindile ukuthi bangikhokhele imali yami ngoba isiyonke sekuhlangene nalena yokuthi bahlulekile ukungikhokhela izinyanga eziyisithupha ifinyelela ku-R104 000. Okunye bakhuluma iphutha uma bethi amahhovisi awekho esimweni ngoba konke kusezingeni eligculisayo,” kusho uSmit.

Uthe ngenyanga uMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi umkhokhela u-R23 000 abagcine sebehluleka ukuwukhokha.

Kuvela okunye ngowafa nephoyisa

$
0
0

Umndeni wowesilisa waseMachobeni, eNanda oshone esiteshini samaphoyisa ePinetown uthi udidekile.

|||

BAWINILE NGCOBO

UMNDENI wowesilisa waseMachobeni, eNanda oshone esiteshini samaphoyisa ePinetown okuthiwa ufe emuva kokudubula amaphoyisa uthi udidekile awazi kumele ukholwe bani ngalesi sehlakalo.

UMnuz Siyabonga Mdunge (31) ushone ngoMgqibelo ezintatha ngemuva kokudutshulwa ngamaphoyisa emuva kwemibiko yokuthi ulwe nesinye isiboshwa kwaze kwangenelela iphoyisa uWarrant Officer Norman John liyobalamula.

Ngokusho kwamaphoyisa uMdunge uhlwithwe isibhamu sikaJohn wamdubula washona kanye nesiboshwa abelwa naso sona esigcine sishonele esibhedlela okutholakale ukuthi Uzochukwu Chibuzor (29) ophuma ngaphandle kwakuleli.

Amaphoyisa ayezolekelela kulesi simo nawo kuthiwa uMdunge wavulela ngenhlamvu kuwo, wabe esegcina ngokudutshulwa washona.

Isolezwe lihambele umndeni wakhe izolo oveze ukuthi awusazi ukuthi yikona kuphi okumele ukuthathe njengokwenzeka nokuyiqiniso ngoba uthola izinto ezahlukene.

Umndeni uthi okuwuphatha kabi kakhulu ukuthi indodana yawo isidume njengomuntu obeyisidlamlilo ekubeni ibizilungele ngisho ekhaya uma kukhona abanokungaboni ngasolinye bekuyiyo ebahlanganisayo.

Umalume kaMdunge, uMnuz Sthenjwa Khumalo uthe uSiyabonga ulandwe ngumngani wakhe u-Andrew abasebenza naye ngoLwesine.

“Vele lo mlungu besimazi ngoba ubejwayele ukumlanda bahambe abuye ambuyise. NangoLwesine kwaba ngesifanayo, wamlanda bahamba sangasola lutho,” kusho uKhumalo.

Uthe bathuke ngoba uSiyabonga engabuyi sekuyiSonto kanti akaphuthi enkonzweni njengoba eyilungu lebandla laseNkanyezini futhi kusontelwa ekhaya.

“Ngokuthola kwethu ngalo mlungu bahamba noSiyabonga baya emzini wakhe eNew Germany bazishayela izinto zabo kanti ngoMgqibelo ezintathakusa bamiswa ngamaphoyisa emgwaqweni, asazi ke ukuthi babeyaphi noma wayesebuyisa uSiyabonga,” kusho uKhumalo.

Uthe lo mlungu bamiswa yena kwatholakala ukuthi ushayela ephuzile amaphoyisa ayesefuna ukumbopha kanti uSiyabonga wabe esemkhulumela naye wabe eseboshwa ngoba kuthiwa uphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

“Lo mlungu uthe bafakwa evenini, imoto yakhe yashayelwa yiphoyisa. Esiteshini uthi uSiyabonga wakhishwa evenini, amaphoyisa angena naye ngaphakathi kanti emuva kwemizuzu emihlanu wezwa sekuqhuma izibhamu,” kusho uKhumalo.

Uthe kusabadida okushiwoyo ukuthi uSiyabonga wahlwitha isibhamu sephoyisa wadubula ekubeni isibhamu ubesisaba kabi.

“Udubuleke ezingalweni zombili eduze kwamahlombe, esifubeni kabili nasesiphongweni. Kubukeka sengathi wadubuleka kubangwa isibhamu nomuntu owayephambi kwakhe,” kusho uKhumalo.

Unina kaSiyabonga, uNkk Nomvula Mdunge uthe okubaphathe kabi kakhulu ukuthi amaphoyisa akakaze abafonele abatshele ngosekwenzekile kwaze kwaba bazama ukuthola lo mlungu ayehambe naye owaze wabafonela ngoMsombuluko ntambama nodaba selukhishwe emaphepheni.

Okhulumela amaphoyisa eKZN uCaptain Thulani Zwane uthe basamile embikweni wabo ngokwenzekile kodwa bazolinda ukuthi kuphume amaphoyisa angeniswa esibhedlela ukuze enze izitatimende zawo ngokwenzeka.

Umunyu kutholwa isidumbu somfundi

$
0
0

Utholakele eseshonile umfundi waseMnambithi ohlaselwe abantu.

|||

LUNGI LANGA

UTHOLAKELE eseshonile umfundi (22) waseMnambithi obefunda esikhungweni semfundo ephakeme i-University of the Free State (UFS) ohlaselwe abantu.

Kube nomunyu ngesikhathi kutholakala isidumbu sikaSinethemba Shezi sibheke phansi, sintanta emfuleni i-Elands River ePhuthaditjhaba izolo ekuseni. Lokhu kulandela ukunyamalala kwakhe emuva kokuhlaselwa yiqulu labantu ehamba nomunye umfundi beyofunda e-UFS ngoLwesihlanu odlule.

Unina uNkk Minozi Shezi (55), uthe isidumbu sendodana yakhe ebiyenza unyaka wesithathu ezifundweni zobuthishela sitholwe abanye abafundi ngezikhathi zasekuseni izolo.

Uthe bathintwe umholi wesigungu sabafundi uMnuz Thulasiwe Sithole ebabikela ukuthi sesitholakele isidumbu sikaShezi.

“Abafundi bebelokhu bembheka kusukela edukile. Bekushaya ihora lesihlanu ekuseni sebengaphandle bembheka. Bebeqala ngakhona lapha emfuleni la etholakale khona,” kusho uNkk Shezi.

UNkk Shezi, uthe yize kubuhlungu ngokutholakala kwakhe eseshonile kodwa bese bevele bekwamukele ukuthi kungenzeka atholakale engasekho.

Kuthiwa uShezi ubehamba nomunye umfundi abafunda naye ngesikhathi kuqhamuka iqulu lamadoda libahlasela. Bebelibangise esikoleni beyolungiselela ukuhlolwa ngehora lesikhombisa ebusuku ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa aseFree State uSergeant Mmako Mophiring, uthe isidumbu sikaShezi sitholakale sinamanxeba amaningi.

“Isidumbu sakhe sitholakale sinamanxeba kodwa kungewona amanxeba akhombisa ukuthi ugwaziwe. Amadoda ayisishiyagalombili okusolakala ukuthi abahlesele kuthiwa abehlome ngezagila nezinye izikhali zendabuko,” kusho uMophiring.

Uthe abalisa abathathu abebeboshwe ngezinsolo zokuthinteka kulesi sigameko badedeliwe ngoba bungekho ubufakazi obuwahlanganisa naso.

Uthe lamadoda ayelethwe emaphoyiseni ngabafundi ngoba ebasola.

UMophiring uphike nezinsolo zokuthi kunezigameko zokucwasana ngokobuhlanga ezigcina ziphazamisa nokusebenza kwamaphoyisa.

Lokhu kulandela izikhalo zabafundi abebekhala ngokucwaswa ngoba bevela KwaZulu-Natal. UMophiring uthe inkinga kuba ukungezwani kahle ngenxa yolimi olukhulunywa kulesiya sifundazwe.

UMnuz Sizwe Simelane onguNobhala Jikelele weSadesmo kuzwelonke, uthe sibaphathe kabi isigameko sokutholakala kwesidumbu sikaShezi obesenyamalele izinsuku ezinhlanu.

“Aseneme neze ngendlela amaphoyisa aluthathe ngayo udaba lokuduka kukaSinethemba. Kuze kwaboshwa nabafundi ngoba bebhikishela ukuthi amaphoyisa awalusukumelanga lolu daba,” kusho uSimelane.

Uthe bazimisele ngokuwavulela icala ngoba babona sengathi okwenzeke kuShezi akukhona okokugcina.

UNkk Shezi naye ukhale ngokungalutholi usizo emaphoyiseni njengoba ethe ababoni ukuthi isidumbu sikaShezi ngabe basitholile ukube abafundi bebengabasizi.

Okhulumela i-UFS uNksz Lacea Loader, uthe sebezwile ngokutholakala kwesidumbu sikaShezi. Uthe bashaqekile futhi bakhathazekile ngokwenzekile. Uthe yize ezokuphepha ziqinile esikoleni nalapha okuhlala khona abafundi abahlala ngaphakathi, bakhathazekile ngalabo abahlala emqashweni.

Uthe bazama ngayo yonke indlela ukusiza umndeni kaShezi.


‘Hlukanani nalo mkhuba omubi’

$
0
0

UNkk Zanele Magwaza-Msibi uxwayise amalungu enhlangano yakhe aba nemihlangano ebusuku akha amatulo okuketula abanye ezikhundleni zabo.

|||

MLUNGISI GUMEDE

UMENGAMELI weNFP uNkk Zanele Magwaza-Msibi uxwayise amalungu enhlangano yakhe aba nemihlangano ebusuku akha amatulo okuketula abanye ezikhundleni zabo wathi kumele awuyeke lo mkhuba ngoba ubeka ikusasa leqembu engcupheni.

Ethula inkulumo yakhe enkundleni yezemidlalo oLundi ngoMgqibelo ngesikhathi kukhunjulwa amalungu ale nhlangano ashona ezigamekweni ezahlukene kusukela iqembu lasungulwa, uNkk Magwaza-Msibi uthe indaba yamakhempu iyalibulala iqembu.

“Hlukanani nokuba nemihlangano ebusuku nibophe amatulo okuketula abanye abantu ngoba nifuna izikhundla zabo. Ithuba lenu lokuhola liyeza, ngeke kube mnandi uma lokhu enikwenzayo sekwenziwa kinina,” usho kanje.

UNkk Magwaza-Msibi uphawule kanje ngemuva kokuvela kombiko othi kunetulo lokumqumba phansi njengomholi wenhlangano.

Leli phephandaba labika ukuthi uSihlalo kazwelonke kuleli qembu uMnuz Maliyakhe Shelembe usegaqele isikhundla sokuba ngumengameli.

Kwabikwa ukuthi usebenzisana nabanye abaholi okubalwa kubo noMnuz Bhungu Gwala ukugudluza uNkk Magwaza-Msibi.

UShelembe noGwala bebekhona emcimbini wokukhumbula ozakwabo oLundi.

Bobabili balitholile ithuba lokugeza amagama abo ngesikhathi bekhuluma namalungu ale nhlangano.

UShelembe uthe munye umholi kwiNFP wathi lowo uNkk Magwaza-Msibi.

“Isinqumo esathathwa engqungqutheleni sithi uMengameli wethu uzosihola iminyaka eyishumi, okwamanje leyo minyaka ibingakapheli futhi asikagudluki esinqumeni esasithatha,” usho kanje.

UShelembe uthe akazi ukuthi ivelaphi imibiko ethi usefuna ukuba ngumengameli weqembu.

“Maningavumi ukuthi abantu bakhande uqhekeko kuNFP. Kumele sisivikele isinqumo sethu esasithatha engqungqutheleni ngoba asikwazi ukuhamba izindlela ezimbili,” usho kanje.

UGwala uthe uyazizonda izikhundla ukuba kuya ngaye ngabe ziyavalwa ezinhlanganweni.

Unxuse ukuthi kube nobumbano enhlanganweni ukuze banqobe izitha zabo.

“Ukube azikho izikhundla ngabe akukho ukuklwebhana okuba khona emaqenjini,” usho kanje.

UNkk Magwaza-Msibi uthe okwenza iqembu lakhe lihluke kwamanye wukuthi liyakwazi ukunakekela amalungu alo.

“Njengoba silapha namhlanje sizokhumbula wonke amalungu ethu ashona, sifuna ukutshela imindeni yawo ukuthi siyawathanda asiwakhohliwe futhi ngokunibizela lapha asiqondile ukuzonivusela amanxeba kodwa sihlose ukuthi sinisondeze eduze nathi ukuze kube khona ukubambisana phakathi kwethu nani,” usho kanje.

Kukhexe abaculi kufihlwa umdansi

$
0
0

Umzala womculi wekwaito oshone ngeledlule ukhombe ngenjumbane abangani balo mculi.

|||

FANELESIBONGE BENGU

UMZALA womculi wekwaito oshone ngeledlule ngemuva kokuhlaselwa yisifo sofuba ukhombe ngenjumbane abangani balo mculi wathi ngesikhathi esahamba naye akazange agule.

U-Ayanda Richmond ukusho lokhu enkonzweni yomngcwabo kaSifiso Richmond (31) ePinetown Civic Centre, ngoMgqibelo.

U-Ayanda uqonde esteji engabizwanga waphuca umculi wekwaito uThukie umbhobho kwashaqeka ababehambele umngwabo.

UThukie ubebizwe ukuthi azokhulumela abangani.

U-Ayanda ubecula noSifiso eqenjini labo elaqala ngokudansa lagcina selicula ikwaito, AmaGoovies.

Ucele umphathi wohlelo ukuthi afunde ukuthi kubhalwe ukuthi ngubani ozokhulumela abangani kwavela igama lika-Ayanda.

Umthombo uthe u-Ayanda ubezokhuluma ngemuva kukaThukie kwazise ubekhulumela abangani abaphile noSifiso ngaphambi kokuthi ashone.

“USifiso ngikhule naye ngimdala kodwa kunaye. Sikhuliswe ngumama wami ongizalayo yize bekhona abazali bakhe. Bekungumfowethu sidlela esitsheni esisodwa. Kuthe sisahamba kahle kwafika uSathane wabolisa ngoba akayifuni indawo ehlanzekile. Indlela engizwe ngayo ngokushona kwakhe angiyithandanga. USifiso ngesikhathi esahamba nami akazange agule,” kusho u-Ayanda.

Kuvele kwasukuma inqwaba yabantu okubalwa kubo abaculi oZakes Bantwini, Professor, Museeq IQ, Beezory nabanye baphumela emnyango.

Abanye abantu bebevutha bekhala “ngendelelo” ka-Ayanda bethi akalethwe kubo bemtitinye.

Unina kaSifiso uFikelephi Richmond, uthe akafuni ukuphawula ngalesi sigameko.

Umthombo weSolezwe, uthe u-Ayanda noSifiso bebengasebenzisani ndawonye kangangokuba bebengasahlali ndawonye efulethini uSifiso wabuyela kubo eNew Germany ukuyohlala nabazali bakhe.

Kuthiwa ngisho esegula u-Ayanda akazange ayombheka.

UThukie, uthe yize ebemi eduze kuka-Ayanda kodwa inkulumo akayizwanga kahle ngoba “kuvele kwagxabha ikhanda.”

“Ngiyasola ukuthi kodwa ibibhekiswe kimina noT’zozo okungabantu abebehamba naye. Impi ka-Ayanda noSifiso iqala kude ngoba uSifiso ebehlala ekhala ngomfowabo (u-Ayanda) ukuthi uyamhlukumeza uzenza ibhoklolo kwaze kwaholela ekutheni amxoshe efulethini wabuyela kubo.

“Mina ngikhethe ukuhamba noSifiso ngoba vele ngazi yena. Ngesikhathi sizwa ngokudlula kukaSifiso siyile ekhaya ngathi ngixhawula u-Ayanda obemi phandle isandla wasibuyisela ephaketheni,” kusho uThukie.

UT’zozo, uthe akayizwanga inkulumo kaSifiso ngoba ubematasa ehla enyuka.

“Umngcwabo ubuhlelwe yinkampani yami noTate Mchunu iTZZ Productions ngokubambisana noCreative Workers Union of South Africa neCosatu eKZN. Ngaleyo ndlela bengimatasa nezinye izinto angizwanga kodwa engikucabangayo wukuthi inkulumo ibingabhekile kimi ngoba u-Ayanda noSifiso ngisebenze nabo bobabili ngihamba nabo.”

USifiso ungcwatshwe emathuneni aseRed Hill.

AbasoLundi bayihlabe inhlali imiyalelo

$
0
0

Bawushaye indiva baqhubeka nokuzihlalela abantu basoLundi abebeyalelwe ukuthi baphume baphele ezindlini ezindala okwakungezongqongqoshe.

|||

MLUNGISI GUMEDE noCELANI SIKHAKHANE

BAWUSHAYE indiva baqhubeka nokuzihlalela abantu basoLundi abebeyalelwe wuMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi ukuthi baphume baphele ezindlini ezindala okwakungezongqongqoshe bakahulumeni waKwaZulu.

UMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi KwaZulu-Natal oholwa nguMnuz Ravi Pillay ngenyanga edlule ukhiphe izincwadi eziyalela abantu abahlala kulezi zindlu ezikwa-A, oLundi ukuthi baphume kuzo ngoLwesihlanu (Okthoba 17) ukuze zilungiselwe uMnyango wezeMpilo ohlela ukuhlalisa odokotela abasebenza emakhaya.

Ithimba leSolezwe lifike kule mizi ngoMgqibelo abantu bezihlalele bengazi nokuthi lidumephi, kweminye yayo bekunezingane ebezizidlalela ibhola egcekeni kumnandi zingazi nanyaka kanti abanye bebezibukela iBig Brother Africa bengafuni nokuyikhuluma eyokukhishwa ngoba bethi abanayo eminye imizi ngaphandle kwalena.

Omunye wemizi ehanjelwe yithimba laleli phephandaba kwakungokaMntwana uLG Dlamini owabe enguyise weNkosi yaseNhlangwini uMntwana uMelizwe Dlamini.

UMnuz Njabulo Shabalala ongumzukulu kaMntwana uDlamini, uthe selokhu bahlala bebancane kule ndlu kanti nama-rates bawakhokhela kahle kodwa uhulumeni nomasipala bebengabahluphi, yingakho bexakeka ukuthi yini lena esikhona manje.

“Ngonyaka odlule basitshele ukuthi bazozifaka endalini lezi zindlu ngakho kumele siphume kuzo. Lokho kusethusile kodwa bese sizimisele ukuthi okungenani nathi sizobhida sibone ukuthi siyakwazi yini ukubhekana nenani abebezolidayisa ngazo kodwa manje sebethi asiphume bazinika odokotela. Bathi asiyephi ngoba asinazo izindawo zokuhlala ngaphandle kwalezi zindlu,” kubuza uShabalala.

Kwenye indlu okwakungekaMnuz David Ntombela we-IFP ngesikhathi esengungqongqoshe, kuhlala umndeni wakwaZulu, eyeNkosi yakwaZashuke uMfu Nyanga Ngubane ongasekho nakhona kunabahlala khona.

Kwenye kuhlala umndeni wesishoshovu sePAC uMnuz Abednigo Ngcobo ongasekho.

UNgcobo kuthiwa yena wayinikwa uhulumeni ebuya ekudingisweni kanti seyahlala umkakhe uNkk Lauretta Ngcobo owashaywa isifo sohlangothi.

Kukhona neyenkosi yakwaBiyela nayo ehlala izingane zayo nonkosikazi kanti abazukulu bayo nezingane bebebuka iBig Brother Africa bengafuni nokuyizwa eyokuxoshwa.

Awukho nowodwa umuzi obekubekwe ifenisha noma impahla ngaphandle ekhombisa ukuthutha.

UMnuz Sbu Nkwanyana we-IFP obehambele kulezi zindlu, uthe okubaxakayo ukuthi kukhona eziseMelmoth ezazihlala abelungu ababekuhulumeni kodwa sezithathwe osomatekisi wathi kungani umnyango ungasho lutho ngazo.

Uthe odokotela banezindlu zabo abakhelwe zona ngaphakathi ezibhedlela ngakho bayaxakeka uma sekuthiwa bazohlala kwa-A oLundi kulezi zindlu.

Lezi zindlu zasala dengwane kanti manje zisesimeni esithusayo ezinye njengoba ziqhekeka.

EyeSilo samabandla iyona elungisiwe okuthiwa ilala izivakashi zaso kanti yenziwa kabusha ngesikhathi kwakuzoba nomgcagco kaNdlunkulu uKaMafu.

Abantu bakhala ngokuthi uma uhulumeni exosha abantu endaweni ubazamela enye yokuhlala kodwa bona alulandelwanga lolo hlelo.

NgoLwesihlanu bekunomhlangano obuhanjelwe amalungu ekomiti lezokuHlaliswa kwaBantu esiShayamthetho osekuyiwo azodlulisa udaba ezithebeni zesiShayamthetho ukuze luxoxwe khona.

Okhulumela uMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi uMnuz Mbulelo Baloyi, uthe bebelindele ukuthi le mindeni ihambise okhiye ngoLwesihlanu kodwa kwangenzeka.

“Ithimba labameli bethu lizohlangana nehhovisi lomshushisi omkhulu lilubhunge lolu daba, thina sizothatha isinqumo ngokumele kwenzeke kusukela kulokho esizobe silulekwe ngakho abameli bethu,” kusho uBaloyi.

Uthe le mindeni isifana nabantu abakulezi zindlu ngokungemthetho ngoba ayiyilandeli imiyalelo.

“Sizoqhubeka sixoxisana nayo le mindeni ngoba asifuni kube ngathi kukhona ukubhekana ngeziqu zamehlo nayo,” kuphetha uBaloyi.

Zilala ezintabeni ezinye izihlobo zabafe esibhicongweni saseZakheni

$
0
0

Abantu baseZakheni, eMnambithi sebelala ezintabeni ngenxa yokuzibona bengaphephile.

|||

CHARLES KHUZWAYO

ABANTU baseSidakeni, eZakheni, eMnambithi sebelala ezintabeni ngenxa yokuzibona bengaphephile kulandela ukwanda kwesibalo sabantu asebebulewe kule ndawo.

Yize uNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu etshele izinkumbi zabantu, ebezisenkonzweni yomngcwabo wabayisihlanu ababulawe ngesonto eledlule ebisesigcemeni sakwa-E kule ndawo ngoMgqibelo, ukuthi ngokwezibalo bangu-19 abantu asebebulewe kodwa kuvele ukuthi isibalo siphezulu kunalokhu.

UMnuz Patrick Khanyile, obulawelwe abashana bakhe abahlanu kulesi sibhicongo, udalule ukuthi abantu asebebhuqabhuqwe kule ndawo bangaphezu kuka-30.

Uthe naye uvumelana nemeya yaseMnambithi uMnuz Vincent Madlala ukuthi isibalo singaphezu kwesiqinisekiswe ngamaphoyisa.

“Izinhliziyo zethu zibuhlungu, asihleli kahle lapha, abantu bayaphela kodwa kuyathuleka,” kusho uKhanyile enxusa uMchunu ukuba aqinise umthetho.

“Ngiyavumelana noMadlala ukuthi sebewu-30 abantu ababulewe lapha kodwa akukho mnyakazo. Kubulawe izingane zikasisi, engazifica ziyisitaki emotweni.”

Eqhuba uthe umphakathi wakule ndawo uzazi kahle izigebengu ezigila umkhuba kodwa usaba ukuphumela obala ngoba usaba ukwenzakaliswa.

“Asizivezeni izigebengu mphakathi yize sizofa. Amaphoyisa akasheshe uma ebizwa ayeke ukugijima uma ngixabane nonkosikazi wami kuphela.”

Uthe izimbuzi zakhe zintsho-ntshwe zonke. “Ngenxa yokuthi asisahlali emakhaya. Ngicashile kodwa angazi ukuthi ngicashelani. Akekho ongazi ukuthi kwenzekani kodwa abantu bayasaba ukukhulu-ma,” kuphetha uKhanyile.

UMchunu uthe umphakathi wakule ndawo usazohlukumezeka ngempela ngoba uzoletha amaphoyisa.

“Izakhamuzi zizoqhubeka nokuhlukumezeka hhayi yizigebengu kodwa ngamaphoyisa abizwe yizigebengu. Siyowakhipha amaphoyisa uma sekunokuthula,” kusho uMchunu obethukuthele egane unwabu.

Uthe uma umphakathi wakule ndawo wesaba ukuveza izigebengu uzokwenza isiqiniseko sokuthi uyaliphenya ibheshu.

“Thina sakufungela ukufa ngesikhathi somzabalazo sathi siyofa siya khona. Yize bekhona abafayo kodwa asiyekanga ukuzabalaza. Uma kumele ngife kulungile ngizofela lapho nifela khona,” kuphetha uMchunu.

UMadlala uthe bekuqala ukuthi kufe abantu abangu-16 ngesikhathi esisodwa kule ndawo selokhu kwagcina ngodlame olwalungo-1993.

“Ngalolo suku kwakulele amabhokisi angaphezu kwalishumi khona lapha,” kusho uMadlala.

Amabhokisi abekleliswe kubhazabhaza wetende ebeligxunyekwe esigcemeni sakwa-E bekungawoNtombifuthi Ximba, Sihle Mathebula, Lindokuhle Mlambo, Muzi Dlamini no-Anna Mazibuko.

Bekunamahlelo ezinkonzo ahlukahlukene namalungu e-ANC abehlobe ngemifaniswano yaleli qembu futhi egqoke izikibha ezinekhanda likaMathebula.

Isililo besilokhu siqhume njalo ngaphakathi etendeni.

Abanye abashonile bangcwatshwe ngempelasonto eGoli.

Usizi abomndeni abane bengqongqa

$
0
0

Kushe kwangqongqa abantu abane kusha umuzi eNorthdale, eMgungundlovu.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

KUSHE kwangqongqa abantu abane kusha umuzi eNorthdale, eMgungundlovu izolo ngemuva kokuqubuka komlilo okungaziwa ukuthi uqale kanjani.

Umndeni wakwaButhelezi usashaqekile ngalesi sigameko somlilo ongqongqise wonke umuzi onamagumbi amahlanu.

Lo mlilo kuthiwa uqale ngezithuba zawo-3 ekuseni.

Ngesikhathi Isolezwe lihambele lo muzi bekusashunqa kwezinye izindawo ezishile.

Kulesi sigameko kushone uNksz Nokulunga Nene (19) nengane yakhe uSiyamthanda (1), uMhlengi Nkabinde (15) noManelisa Nkabinde (5).

UNksz Nomonde Buthelezi (20) oyilungu lomndeni osindile, uthe akakholwa ukuthi ubuke izihlobo zakhe zingqongqiswa umlilo.

“Namanje angikholwa ukuthi ngisindile kulo mlilo. Ngendlela okwenzeke ngayo bekungathi ngibuka ifilimu. Okubuhlungu kunakho konke ngibuke izihlobo zami zingqongqiswa wumlilo kungekho ukuzisiza,” kusho uNksz Buthelezi ekhala.

Kuvele ukuthi bebeyisishiyagalombili endlini ngesikhathi kuqala umlilo.

Abathathu bashonele phakathi.

Omunye ophume esevutha amalangabi ushonele esibhedlela.

Abanye bangeniswe esibhedlela.

Lo mndeni usale dengwane njengoba konke obunakho kushe kwangqongqa.

“Ngiphume ngigqoke isikibha nephenti, bekungasekho ukucabanga ukuthi ngithole izimpahla zokugqoka njengoba ngiphume ngomnyango wangemuva,” kusho uNksz Buthelezi.

Njengoba uNksz Buthelezi ezoqala izivivinyo zakhe zika-matric ngesonto elizayo, uthe usasangene ikhanda akazi nokuthi uzoqhubeka kanjani nempilo.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Jay Naicker usiqinisekisile lesi sigameko nathe bavule icala ngokushona kwabantu.

“Imbangela yomlilo ayaziwa. Kusaphenywa ngokufa kwabantu,” kusho uNaicker.

Umndeni unxuse osomabhizinisi nabangakwazi ukuba bafake isandla ukubasiza njengoba bengasenayo indawo yokufihla ikhanda.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>