Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Kusolwa inyoka kudaleka ingozi

$
0
0

Kushone abesifazane abane emva kokuphaphalaza kwebhasi okubikwa ukuthi umshayeli walo uthuswe inyoka ethushuke ebhasini maqede washayisa amatekisi amabili...

|||

MCEBO MPUNGOSE, THOKOZANI MBUNDA noNONTUTHUKO NGUBANE

KUSHONE abayisikhombisa ezingozini zomgwaqo ezahlukene KwaZulu-Natal izolo. Engozini yokuqala eyenzeke eNanda kuCurnick Ndlovu Highway M25, kushone abesifazane abane emva kokuphaphalaza kwebhasi okubikwa ukuthi umshayeli walo uthuswe inyoka ethushuke ebhasini maqede washayisa amatekisi amabili.

Ingozi yesibili eyenzeke ntambama kushone abesilisa abathathu kushayisana imoto encane neloli eBulwer. Okhulumela amaphoyisa omgwaqo, uNksz Zinhle Mngomezulu, uthe imoto ingene ngaphansi kweloli yagoqana bonke abathathu bashonela lapho.

Ngokusho kwabazibonele kwenzeka ingozi yaseNanda, umshayeli webhasi ubeyedwa kulo. Beliqhamuka eThekwini lingena eNanda lizodlula ngaseDube Village ngesikhathi ebona inyoka emthuse woma wahluleka ukulilawula wagcina elifake emzileni wezimoto eziphambana naye ezibheke eThekwini.

Ibhasi lishayise itekisi eyodwa ebigcwele abantu ebebeya emsebenzini neyodwa ebinomshayeli kuphela ebingaphambili kwayo.

Obeseduzane nale ndawo okwenzeke kuyo ingozi uMnuz Martin Dlomo (35) ohlala eBhambayi, uthe uvuswe umsindo wokugquzulana kwezimoto wezwa ukuhuhuluza kwamasondo wase ephuthuma endaweni yesigameko.

“Ngibone umuntu ehlukene kabili nabanye abebelimele kabi. Umshayeli uthe uthikanyezwe inyoka ebingaphakathi ebhasini kanti nathi siyibonile isingaphandle isifile emva kwengozi,” usho kanje.

Omunye ozibonele uMnuz Vusi Ndlovu, uthe ubone ibhasi ishayisa itekisi ebingaphambi kwayo yabe isiphaphalaza yangena komunye umzila yashayisa itekisi ebiyehla.

Iphoyisa lakwaMetro ebeliseduzane likuqinisekisile ukuthi kunencazelo yenyoka ngale ngozi kodwa laphinde ladalula ukuthi kunabanye abathi itekisi ebingaphambi kwebhasi nayo kungenzeka ukuthi ibe yimbangela yengozi.

Phakathi kwabashonile kubalwa obeyingoduso uNksz Nokwazi Dlamini (27) obesekubalwa izinsuku ngaphambi kokuthi kumenyezelwe usuku lwakhe lomshado noNkk Zamazulu Maphumulo (43). Umndeni kaNksz Dlamini, uthe izinhlelo zomshado wakhe bese zisemaphethelweni njengoba bese kwabiwe kwahanjiswa nezibizo.

Indodana kaNkk Maphumulo, uMnuz Siphiwe Maphumulo (26), ithe ngenkathi izwa ngengozi icabange ukuthi umzila unina ajweyele ukuwusebenzisa lowo.

“Ngithe uma ngithinta abaseduzane bangazisa nangempela ukuthi umama ube kule ngozi. Namanje angikakakukholwa,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Jay Naicker uyiqinisekisile ingozi.

“Kushone abesifazane abane abaneminyaka ephakathi kuka-27 no-44, abanye abane baphuthunyiswa esibhedlela. Isizathu sengozi asikaziwa kodwa amaphoyisa aseNanda aphenya icala lokubulala ngokungenhloso nezinye izimo ezithinta le ngozi. Amaphoyisa athungatha umshayeli wenye yamatekisi obalekile emva kwale ngozi,” usho kanje.


Bafuna isidumbu sothunwe u’Jesu’

$
0
0

Umndeni ufuna kumbiwe isidumbu sendodakazi yawo osuthole ukuthi seyashona yangcwatshwa emzini kaJesu waseShowe emuva kokuyohlala khona noyise wezingane zayo ithi iyolinda ukubuya kukaJesu.

|||

BAWINILE NGCOBO

UFUNA kumbiwe isidumbu sendodakazi yawo umndeni waseKoffie Farm, KwaNdengezi, osuthole ukuthi seyashona yangcwatshwa emzini kaJesu waseShowe emuva kokuyohlala khona noyise wezingane zayo ithi iyolinda ukubuya kukaJesu.

Umndeni kaNksz Khethiwe Khumalo owaya kohlala eShowe ngo-2008 eneminyaka engu-22 uthi uthole ekupheleni kuka-Agasti ngomakhelwane wasemzini kaJesu waseShowe, uMnuz Moses Hlongwane, ukuthi udadewabo akasekho emhlabeni.

UHlongwane ube ngundabuzekwayo nyakenye evela ezindabeni ethi umuzi wakhe okwaKhoza, ungumkhumbi kanti abahlala khona bangabafundi.

Udadewabo ka-Nksz Khumalo, uNksz Happy Khumalo, uthe kuyabaxaka ukuthi kungavele kungcwatshwe udadewabo bengasatshelwanga.

“Abantu basitshele ukuthi uke wagula kodwa manje akasabonakali. Bathi bezwe ngabanye abahlala kulo muzi ukuthi washona wabe esengcwatshwa lapho behlala khona,” kusho uNksz Khumalo.

Uthe bona bafuna kumbiwe isidumbu sikadadewabo ngoba akuyena yedwa ongcwatshwe bengazi nengane kadadewabo ahamba nayo ngo-2008 esanda kuyibeletha yashona kulo muzi ngo-2011, bezwa sekuthiwa isingcwatshiwe.

“Ingane yakhe ahamba nayo ineminyaka emibili ngayilanda kulo muzi ngo-2011 emuva kokuthi kushone encane. Sixakwa ukuthi ziningi kabi izinto ezenziwayo uma umuntu eshonile njengokubiza amaphoyisa ngoba kuyacaca washonela kuwo lowa muzi,” kusho uNksz Khumalo.

Uthe kusho ukuthi udadewabo akahlinzwanga njengoba kuhlale kwenziwa ukuze kutholakale imbangela yokushona futhi naseMnyangweni wezaseKhaya kusaziwa ukuthi usaphila ngoba akaboni ukuthi isitifiketi sokushona senziwa.

UNksz Khumalo uthe emuva kokuthola lezi zindaba baye emaphoyiseni aKwaNdengezi beyobika bafika bavulelwa icala lokulahleka kukadadewabo ngoba abanaso isiqiniseko sokuthi useshone ngempela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane uthe amaphoyisa aseShowe alitholile idokodo lokulahleka komuntu ebelivela esiteshini saKwaNdengezi kanti aseqale ukuphenya.

“Uma uphenyo lukhomba ukuthi kukhona umuntu noma abantu abangcwatshwe kule ndawo ingazi imindeni kuzogcina ngokuthi amaphoyisa aye eNkantolo ukuyofuna incwadi yokuthi kumbiwe,” kusho uZwane.

UHlongwane ethintwa yiSolezwe uthe akukho asezokuphendula. Uthe wazisa umphakathi ukuthi uJehova useluvalile lolu daba ukuthi lubhalwe yizintatheli zakuleli nezase-Afrika ngoba zaluthatha zalwenza umdlalo ekubeni kwakumele zixwayise abantu.

Uthe izintatheli zakuleli udaba lokubuya kukaJesu zalwenza umdlalo nento yokunyusa umkhiqizo wazo ngakho selubhalwa ngezaphesheya ngoba zona zaluthatha kahle.

Uthe intatheli uma ilushicilela izozibonela yona imiphumela yokulushicilela ngoba sekuvaliwe ukubhala ngoMkhumbi.

Bakhala ngentela abesizwe sakwaButhelezi

$
0
0

Bakhala ngokukhokhiswa inqwaba yentela yesizwe abantu baseSizilo, kwaCeza.

|||

MLUNGISI GUMEDE

BAKHALA ngokukhokhiswa inqwaba yentela yesizwe abantu baseSizilo, kwaCeza, okuyindawo engaphansi kwenkosi uMangosuthu Buthelezi ophinde abe nguMengameli we-IFP.

Abantu bakule ndawo bathi bayanqatshelwa ukwenza imisebenzi emakhaya abo uma bengayikhokhile intela yesizwe engu-R50.

Intela yesizwe kuthiwa ikhokhwa yiwo wonke umuntu wesilisa onomazisi.

Enye imali ekhalisa isizwe ngu-R100 okhishwa ngumndeni osuke uzoba nomcimbi noma ngabe owahlobo luni.

Abantu bakhala ngokuthi bayanqatshelwa ngisho ukuthi bangcwabe emagcekeni abo uma bengayikhokhile intela yesizwe engu-R50 no-R100 okhishwa uma kukhona okuzokwenziwa egcekeni.

Enye imali okukhalwa ngayo ngu-R100 okhishwa uma owesilisa ekhulelise intombazane bengashadile nayo.

UMnuz Sbangani Mthethwa waseSizilo kumanje ubhekene necala lokuthi ushadise indodakazi yakhe yize engayikhiphile intela yesizwe.

Omunye umuntu onecala elifana nelikaMthethwa nguMnuz Mankwente Mtshali naye osanda kushadisa indodakazi yakhe ngenkani, naye akayikhokhi intela yesizwe.

UMtshali uthe selokhu athola umazisi eminyakeni engu-32 akakaze ayikhokhe imali yentela yesizwe.

UMthethwa yena uthe uke wakhokha wabuye wama ngoba engasenayo imali.

Kuthiwa uma ungakhokhi isikweletu siyakhula unyaka nonyaka.

“Mina banginqabele ukuthi ngishadise indodakazi yami kodwa ngagcina ngiyishadise ngenkani ngoba ngingenayo imali efunekayo,” usho kanje.

Uthe uzimisele ngokubhekana nomphumela wesenzo sakhe sokushadisa indodakazi yakhe.

UMntwana Mpikayise Buthelezi ophethe enkantolo yesizwe sakwaButhelezi uthe abantu baseSizilo bahlale bekhala bazenza ngcono kunabakwezinye izigodi. Uthe abantu abangawulandeli umthetho bajeziswa yinkantolo yesizwe.

“Udaba lukaMthethwa noMtshali siyalwazi sizobajezisa ngezenzo zabo zokushadisa amadodakazi abo yize bengayikhokhile intela yesizwe,” usho kanje.

Umntwana ube esechaza ngezintela zesizwe ezikhona, wabala u-R50 wentela yesizwe, u-R100 okhishwa uma kuzoba nomsindo egcekeni emndenini othile, u-R100 okhishwa owesilisa osuke ekhulelise intombazane engashadile nayo.

“Inkosi yethu asihlali sinayo ngakhoke isizwe sanquma ukuthi kube nomcimbi njalo ngoDisemba 27 lapho inkosi isuke ihlangene nesizwe. Umuzi ukhipha u-R30 ukuze kuqhutshwe umcimbi,” usho kanje.

Uthe intela yezinyanga sebayivala.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMnuz Lennox Mabaso uthe izikhalo zemiphakathi ehlukene ehlala ngaphansi kwamakhosi bayazazi.

Uthe sebejube ukuthi kwenziwe ucwaningo okuzothi uma seluphothuliwe bese kuba khona izinyathelo ezithathwayo.

“Engingakusho wukuthi ucwaningo seluzophela. Inhloso yalo bekuwukuthi sithathe izinqumo phezu kwezinto ezibambekayo,” usho kanje.

Uthe ngokomthetho wezwe kumele ngabe intela iqoqwa ngabakwa-Sars kuphela kodwa wathi nomasipala bayakwazi ukuthatha imali yama-rates kubantu njengoba namakhosi ekhokhisa izizwe zawo intela.

ULeon uxoxa ngezinguquko kwezepolitiki

$
0
0

UMnuz Tony Leon uzohlangana nabantu baKwaZulu-Natal ukuze axoxe nabo ngezinguquko kwezombusazwe kuleli.

|||

BONISWA MOHALE noCELANI SIKHAKHANE

OWAYENGUMHOLI weDemocratic Alliance, uMnuz Tony Leon, uzohlangana nabantu baKwaZulu-Natal ukuze axoxe nabo ngezinguquko kwezombusazwe kuleli nokufika kukaMnuz Julius Malema ephalamende okubonakale kushintsha izinto.

ULeon uzobe echaza ngezinto ezisencwadini yakhe ethi “Opposite Mandela-Encounters with South Africa's Icon” lapho ebuye akhulume ngokwenzeke kuleli ngemuva kokudlula emhlabeni kukaDkt Nelson Mandela owaba wumengameli wakuleli wokuqala wentando yabantu.

Konke lokhu kuzoba sesidlweni sasekuseni esizoba sehhotela i-Oyster Box eMhlanga namuhla lapho kulindeleke ukuthi abantu bakwazi nokuphonsa imibuzo uLeon ngezinto ezenzeka eqenjini lakhe ayelihola iDA.

Le ncwadi uLeon useke wayethula ezindaweni ezahlukene lapho ebesuke ebeka kabanzi ngakubonile kule minyaka engu-20 yentando yabantu kuleli nokwenzeka manje kusuka kwiDA kuya enhlanganweni ebusayo i-ANC.

UNksz Joanne Hayes, we-Tumbleweed Communications, uthe kuningi okuzobe kwenzeka ngoba uLeon uzobe ekhuluma nangesimo esithinta amazwe omhlaba njengaseMiddle East lapho okubonakala kukhula khona ubushokobezi naseRussia.

“Phakathi kwezinto azobe ekhuluma ngazo kuzoba wukufika kwamabharethi abomvu ephalamende okuyi-EFF nesimo esikhona eMiddle East nezinkinga ezibonakala zibhekene noMengameli waseRussia, uVladimir Putin,” kusho uNksz Hayes.

Bathi yinkinga yomhlaba i-ebola

$
0
0

Odokotela bafuna ohulumeni bamazwe baluthathe njengenkinga yomhlaba udaba lokusabalala kwe-ebola.

|||

LUNGI LANGA

ODOKOTELA bafuna ohulumeni bamazwe baluthathe njengenkinga yomhlaba udaba lokusabalala kwe-ebola oluhaqe amazwe aseNtshonalanga Afrika.

Lokhu kuvele engqungqutheleni yodokotela bomhlaba yaminyaka yonke iWorld Medical Association (WMA) Annual Assembly ese-ICC eThekwini eqale izolo, izosongwa ngoMgqibelo.

UDkt Mzukisi Grootboom, (osesithombeni) wenyunyana yodokotela iSouth African Medical Association ephansi kwe-WMA, uthe amazwe angakabi nenkinga ye-ebola kufanele azitshele ukuthi ingabhebhethekela nakuwona.

“Kungenzeka manje ukuthi i-ebola ihaqe abantu abasemazweni aseNtshonalanga ye-Afrika kodwa akufanele ibukwe kanjalo nje kuphela. Inkinga ngesifo wukuthi asidingi imvume ukuze singene kulelo zwe. Kufanele amazwe azilungiselele futhi aqinise isimo sezempilo. Amazwe ahaqwe yi-ebola okwamanje amazwe ake aba nenkinga yezimpi futhi izinhlelo zezempilo kuwona zibuthakathaka,” kusho uGrootboom.

Ngokwezibalo zenhlangano yezempilo emhlabeni wonke i-World Health Organisation bangaphezu kuka-3 400 abantu asebebulewe yi-ebola kulo nyaka. Amazwe okuthiwa ahlaselwe yilolu bhubhane yi-Guinea, Liberia, Sierra Leone, Nigeria neSenegal. Zilinganiselwa ku-7 492 izigameko esezibikiwe zabantu okutholakale ukuthi banalesi sifo.

Izolo odokotela bamazwe babe neziphakamiso mayelana nokufanele kwenziwe ngohulumeni ukulwa nokusabalala kwe-ebola.

Ezinye zeziphakamiso abazenzile esokuthi amazwe angakahaqwa yi-ebola afundise abasebenzi bezempilo ngezimpawu ze-ebola, izindlela zokuvikela ukusabalala kwayo nokulandelela labo abake baxhumana nokutholakala ukuthi banayo.

Ekhuluma ngesikhathi kwenziwa iziphakamiso umengameli we-WMA, uDkt Margaret Mungherera, uthe kubalulekile ukuthi izinhlangano eziya kosiza emazweni ahaqwe yi-ebola zisebenzisane nabasebenzi bezempilo abakhona kulawo mazwe.

“Laba basebenzi sebenesikhathi bebhekene nalesi sifo sebazi kakhulu ngaso ngakho kuyadingeka ukuthi izinhlangano zifike zisebenzisane nabo zingabakhiphi inyumbazane. Okwamanje siyezwa ukuthi abanakwa,” kusho uDkt Mungherera.

UDkt Grootboom uthe kuyakhathaza ukuthi eminye iminingwane ekhishwa ngendlela okusabalala ngayo i-ebola ayilona iqiniso.

“Lesi sifo kungenzeka ukuthi sinezimpawu zomkhuhlane kodwa asithelelani ngendlela okuthelelana ngayo umkhuhlane. Abantu basithola ngokuthinta uketshezi lomuntu oke wanaso njengegazi, amathe, umchamo nolunye uketshezi,” kusho uGrootboom.

Uthe enye into okufanele abantu bayiqaphele ukugeza izidumbu zabantu abasolwa noma okutholakale ukuthi babulawe yi-ebola ngoba isifo asipheli emzimbeni noma umuntu eseshonile.

Kusasa uMnyango wezeMpilo kuzwelonke kulindeleke ukuthi ubize isithangami sabezindaba lapho uzokwethula uhlelo lokusiza empini yokusabalala kwalesi sifo. Ngaphambi kwalokhu uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi, uzohlangana nezinkampani eziku-JSE ukuxoxa ngoxhaso lokulwa ne-ebola.

Kushubile bekhishwa amaphoyisa efulethini

$
0
0

Kushube isimo kugasele amaphoyisa ehambisana nonogada abebezokhipha abantu eMandela Complex.

|||

BAWINILE NGCOBO

KULAMULE ukungenelela koMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal amaphoyisa ezokhipha abantu abahleli ngokungemthetho emafulethini enjinga yaseThekwini uMnuz Jay Singh eNewlands West izolo.

Izolo kushube isimo kugasele amaphoyisa ehambisana nonogada abebezokhipha abantu abahlala kulawa mafulethi asebizwa ngokuthi iseMandela Complex.

Abantu bavuke umbhejazane babhikisha bekhala ngokuthi akukho ncwadi ekhishwe amaphoyisa eshoyo ukuthi kumele baphume kulezi zindlu.

Abantu ababehlala ezindlini ezakhiwe ngothayela bazingenela kulama fulethi ngoba bekhala ngokuthi abasakhishwa kuzo bayiswe ezindlini abazithenjiswa.

UNksz Bandile Mdlalose umengameli we-Community Justice Movement uthe bebengaziswanga ukuthi abantu bazokhishwa kodwa bebezwa ngamahemuhemu ukuthi bazokhishwa.

“Okwenzeke namuhla kusithusile ngoba amaphoyisa besilindele ukuthi akhiphe incwadi yokukhipha abantu kodwa avele afika esethi siyakhishwa kungekho ncwadi,” kusho uNksz Mdlalose.

Uthe abantu baze bazingenela kulawa mafulethi ngoba bese behlale isikhathi eside emathinini bengasanakiwe.

“Kwalapha abahlezi khona awekho amanzi, awukho ugesi nezindlu zangasese,” kusho uNksz Mdlalose.

Uthe bazoxoxa noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ngalolu daba kanti bayakubonga ukuzithoba kwawo uzolungisa lesi simo.

UMnuz Marvin Reddy okhulumela uSingh uthe bakuhoxisile ukukhishwa kwabantu emuva kokungenelela koMnyango.

“Sivulelekile ukuthi kube nezingxoxo nezinhlangothi zombili. Ekugcineni uMnyango ususilalelele ngoba besixhumana nawo kodwa ungasiphenduli,” kusho uReddy.

Uthe bakuhoxise kuze kuphele le nyanga ukukhishwa kwabantu ukuze banike ithuba izingxoxo noMnyango.

“Sizimisele ukuthi siqhubeke nokuxoxa nabangayikhokhi irenti ngoba lawa mafulethi ayakhelwe abantu abebezokhokha irenti kuwo.

“Umnyango kumele uhlinzeke abantu ngendawo yokuhlala ngoba lawa mafulethi ayekhelwe ukwenza inzuzo,” kusho uReddy. Ngesikhathi sokuloba akatholakalanga okhulumela lo Mnyango uMnuz Mbulelo Baloyi ukuze aphawule.

Banikwe omazisi abasha

$
0
0

UMnuz Malusi Gigaba uthe benza konke okusemandleni ukushintsha isimo soMnyango wezaseKhaya.

|||

BAWINILE NGCOBO

UNGQONGQOSHE woMnyango wezaseKhaya uthe benza konke okusemandleni ukushintsha isimo soMnyango ukuze banikeze abantu izidingo ngendlela esezingeni elifanele.

UMnuz Malusi Gigaba usho kanje izolo ngesikhathi esehhovisi lalo Mnyango eCommercial City eThekwini ezolethula ngokuse-mthethweni njengelinye elenza omazisi abangamakhadi.

Izolo osaziwayo baseThekwnini okubalwa abasakazi nabaphathi beGagasi FM, abasuka kwi-East Coast Radio naseqenjini lombhoxo ama-Sharks banikwe nguGigaba amakhadi abo amasha.

UGigaba uthe sezaphela izinsuku lapho abantu babehlala khona usuku lonke uma bezobhalisela umazisi bafice abasebenzi abangenasikhathi sabantu abazenzela umathanda.

“Sifuna ukushintsha indlela abasebenzi abacabanga ngayo ngomsebenzi ukuze sinike abantu izidingo ngendlela esezingeni elifanele,” kusho uGigaba.

Uthe ikhadi elisha akuthathi isikhathi eside njengomazisi omdala ukuthi umuntu alibhalisele alithole.

“Lolu hlelo lwamakhadi luhle kakhulu. Akugcwaliswa fomu uma uzolibhalisela konke kufakwa kwi-khompyutha, akukho okungenza kube nobuhixihixi ngoba konke kusuka ekubhaliseni kuze kube liyenziwa kuhamba ngobuxhakaxhaka bama- khompyutha,” kusho uGigaba.

Uthe uhlelo lwala makhadi luqalwe ngo-Okthoba nyakenye kanti alukaze lube nezinkinga.

“Bangaphezulu kuka-800 000 abantu asebethole amakhadi abo selokhu kuqale lolu hlelo,” kusho uGigaba.

Uthe umuntu uma esebhalisile uthola i-sms emtshela ukuthi usebhalisile kanti noma sekufanele alilande uthola i-sms akudingeki ukuthi asuke ekhaya ayobheka umazisi wakhe bese kuba yima etshelwa ukuthi awukalungi.

UGigaba uthe ihhovisi lalo mnyango laseMngeni lizokwenziwa isikhungo sokwenza amakhadi maduze.

“Ngesikhathi esizayo siyafisa ukuthola izindawo zokusiza abantu ngisho ezinxanxatheleni zezitolo. Nala makhadi ayogcina esenza izinto eziningi njengokuthi umuntu ahole ngalo impesheni libuye libe yizincwadi zakhe zokushayela,” kusho uGigaba.

ULubabalo Mtembu ongukaputeni wamaSharks ungomunye wosaziwayo abanikwe umazisi wekhadi izolo. Uthe ubhalise ngesonto eledlule kanti akumthathanga usuku lonke njengesikhathi eyobhalisela umazisi wakhe.

“Kuyashesha, lolu shintsho luhle kakhulu,” kusho uMtembu.

Baqhinqe esiteshini kuboshwa abangu-15

$
0
0

Kuboshwe abangu-15 abasolwa ngecala lokubulala abesilisa ababili abashiswe bephila.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

UMPHAKATHI waseZinketheni, eMgungundlovu, uqhinqe ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa eMountain Rise uphikisana nokuboshwa kwabangu-15 abasolwa ngecala lokubulala abesilisa ababili abashiswe bephila.

Amaphoyisa akulesi siteshi kuvele ukuthi izolo ekuseni abophe abantu abangu-14 abasola ngokuthinteka ekubulaweni kukaMnuz Nathi Gwala (25) nomunye obedume ngoRasta.

Laba ababulewe kuthiwe bebesolwa ngezigameko zobugebengu endaweni kanti bahlaselwe behlezi komunye umuzi okusolwa ukuthi kutholwe kuwo inqwaba yezimpahla zokwebiwa.

Kushiswe nemizi emithathu okuthiwa iyizidleke zobugebengu. Ababoshiwe ngalesi sigameko baphakathi kweminyaka engu-21 no-58. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uthe bazovela enkantolo maduzane.

“Ekuseni namhlanje (izolo) amaphoyisa abophe abantu abangu-14 abathinteka ecaleni lokubulala ababili abashisiwe. Kulaba bekukhona nowesilisa ona-27 otholwe enesibhamu sokuzakhela esingekho emthethweni nezinhlamvu.

Ubhushu nommese okusolwa ukuthi kusetshenzisiwe kulesi sigameko kutholakale endaweni. Sekuhlanganiswa noyedwa oboshwe ngoLwesibili bangu-15 abazobhekana namacala,” kusho uZwane.

“Sinxusa ukuba umphakathi usebenzisane namaphoyisa, uhambise ulwazi onalo ngezigebengu ukuze zizoboshwa,” kusho uLt. General Mamonnye Ngobeni uKhomishana wamaphoyisa esifundazweni.

Amaphoyisa athe amalungu omphakathi alinganiselwa ku-200 ashaye aphinde ashisa abesilisa ababili ebasola ngokweba izimpahla endaweni. UNkk Ntombi Chonco, okuboshwe indodakazi yakhe eneminyaka engu-30, uthe uzolala khona esiteshini samaphoyisa uma bengadedelwa. “Kumanje indodakazi yami ishiye izingane ezimbili engingazi ukuthi ngizozenza njani.

“Usibona nje asisalali emakhaya ngenxa yazo lezi zigebengu ebezisingenela emakhaya zonke izinsuku. Uma sekwenzeka lesi sigameko kuthathwa abantu abangenacala bayaboshwa,” kusho uNkk Chonco.

Lokhu kufakazelwe wuNksz Nomkhosi Gwala othe amaphoyisa abadumazile.


‘Amalungu awalalele uSomlomo’

$
0
0

Ikomiti eliqondisa ubugwegwe ePhalamende litshelwe ukuthi wonke amalungu ePhalamende kumele alandele imiyalelo kaSomlomo.

|||

IZOLO ikomiti eliqondisa ubugwegwe ePhalamende litshelwe ukuthi wonke amalungu ePhalamende kumele alandele imiyalelo kaSomlomo, uNksz Baleka Mbete (osesithombeni).

UNobhala wePhalamende, uMnuz Masibulele Xaso, ube ngufakazi wokuqala ngesikhathi kuhleli isithangami sokuqondiswa ubugwegwe kwamalungu angu-20 e-Economic Freedom Fighters (EFF) asePhalamende.

“Uma ilungu lePhalamende lingakhonjwanga wuSomlomo, ngokujwayelekile lelo lungu kumele lihloniphe isinqumo sikaSomlomo,’’ kusho uXaso.

UMnuz Randall van Voore owengamele lesi sithangami ubembuza ngesigameko sango-Agasti 21, ngesikhathi amalungu e-EFF ephazamisa ukusebenza kwePhalamende ekubeni uMengameli Jacob Zuma ayephendula imibuzo.

UXaso ubuqinisekisile ubufakazi obubhalwe phansi lapho uNksz Mbete ayekhuza uMnuz Floyd Shivambu onguSotswebhu we-EFF emcela ukuthi akahlale phansi.

UShivambu ubhekene necala lokudelela iPhalamende engafuni ukuthobela uSomlomo. – Sapa

UQwabe uchaza ngo-Anni esedutshuliwe

$
0
0

UMziwamadoda Qwabe uthe wamuthi nhla ngamehlo umufi emuva kokudutshulwa ngo-2010.

|||

UMziwamadoda Qwabe odonsa isigwebo ngecala lokubulala u-Anni Dewani, izolo eNkantolo eNkulu yase-Western Cape, uthe wamuthi nhla ngamehlo umufi emuva kokudutshulwa ngo-2010.

“Yebo, ngamuthi nhla ngamehlo. Wayesesihlalweni sangemuva emotweni. Ngicabanga ukuthi wayelele phansi kodwa angisakhumbuli kahle noma wayelele ngohlangothi lwesokunxele noma lwesokukudla,’’ kusho uQwabe etshela uMshushisi u-Adrian Mopp, echaza ngesigameko sokudunwa kwemoto eGugulethu nokwafa kuso u-Anni ngoNovemba 13, 2010.

Uthe akabhekisisanga kahle ukuthi ngabe wasinda yini emuva kokudutshulwa wuXolile Mngeni abebehamba naye.

Ngesikhathi besuka endaweni yesigameko, uMngeni wakhipha imali ayeyithole esikhwameni esasisemotweni, okwakuyinkokhelo yomsebenzi wabo asebewenzile.

“Sayibala imali ngesikhathi siqhubeka nendlela yethu, yayingu-R10 000. Wangikhombisa omunye uR4000 athi wawuthola kumyeni kamufi,’’ kusho uQwabe.

Uthe bahlukana benoMngeni, waziyela ephathini. UMngeni wahamba nesibhamu okuyisona esabulala umufi.

Ngakusasa, wafonela uMonde Mbolombo ngoba imali “yomsebenzi’’ yayishoda ngo-R5000. UMbolombo wathi uzolulungisa lolu daba noZola Tongo okunguyena owayeshayelela abakwaDewani.

UQwabe uthe uMngeni wafika kwakhe sekuhambe isikhathi esezobuyisa isibhamu.

– Sapa

Sehlisiwe isigwebo koJub Jub nomngani

$
0
0

Ihhovisi labashushisi lakuleli liveze ukuthi liyasihlonipha isinqumo senkantolo.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

IHHOVISI labashushisi lakuleli liveze ukuthi liyasihlonipha isinqumo senkantolo sokushintsha icala lokubulala nelokuzama ukubulala libe elokubulala kungahlosiwe ebelibhekene nomculi we-hip hop wakuleli uMolemo “Jub Jub” Maarohanye nomngani wakhe uThemba Tshabalala kepha lithi sisengabuyekezwa lesi sinqumo.

“Umqondisi wehhovisi labashushisi usazosicubungula isinqumo bese eyabona ukuthi ikhona yini indlela yokuthi singabuyekezwa,” kusho uNksz Phindi Louw okhulumela ihhovisi labashushisi laseGauteng.

Ubekhuluma izolo nezintatheli ngemuva kokuthi iJaji uGeorge Maluleke likhiphe isinqumo eNkantolo eNkulu yaseGoli esithi uJub Jub noTshabalala banecala lokubulala ngokungenhloso hhayi elokubulala abafundi oPrince Mohube, Mlungisi Cwayi, Andile Mthombeni noPhomello Masemola ngenka-thi bedlala umdlalo wokugijima ngezimoto eProtea North, eSoweto, ngoMashi 8, 2010.

Ukuguqulwa kwalesi sinqumo kuholele ekutheni kwehliswe nesigwebo sabo,

Phambilini bobabili babegwetshwe iminyaka engu-20 ngecala lokubulala, lesi sigwebo sehliselwa eminyakeni engu-10, emibili yalengiswa kwabekwa umbandela wokuthi bangatholakali benze icala elifanayo eminyakeni emihlanu ezayo.

“Lesi sigwebo sakhishwa ngo-Okthoba 16, 2012,” kusho uMaluleke.

Lolu wusuku laba bobabili abaqala ngalo ukudonsa isigwebo sabo, sebeyidonsile iminyaka yabo emibili yesigwebo seminyaka engu-10. Njengoba inkantolo ibuyekeze isinqumo sabo yabagweba ngecala lokubulala ngokungenhloso, isigwebo sabo sekuyiminyaka emine ejele.

UMaluleke akahlanganisanga namanye amacala ababebekwe wona njengelo-kuncintisana ngesivinini okungekho emthethweni emgwaqweni ohamba umphakathi nokusetshenziswa kwezidakamizwa.

Akasamukelanga isicelo sabo sokubuyekezwa kwesinqumo sokushayela bedle izidakamizwa, bathola isigwebo sonyaka kuleli cala.

UJub Jub noTshabalala bebengekho enkantolo ngenkathi kuguqulwa isinqumo.

Kule ngozi izingane ezimbili uFrank Mlambo noFumani Mushwana basala ingqondo yabo ingasasebenzi ngesikhathi izimoto ezingamaMini Cooper zikaJub Jub noTshabalala zishayisa iqulu labafana.

Bavale umgwaqo bekhala ngemizi nogesi

$
0
0

Umphakathi wasemijondolo kwaStaram, oThongathi, uvuke umbhejazane wabhikisha ufuna ukwakhelwa izindlu ezisesimweni.

|||

NOKUBONGWA PHENYANE

UMPHAKATHI wasemijondolo kwaStaram, oThongathi, lapho kushone khona izelamani nomngani wazo ngoLwesibili emini ngemuva kokushokhwa ugesi wezinyokanyoka uvuke umbhejazane wabhikisha ufuna ukwakhelwa izindlu ezisesimweni uphinde ufakelwe ugesi ngokusemthethweni.

Lo mphakathi uthukutheliswe yisigameko sokushona kukaMnuz Zenzele Malinga (23), umfowabo uMnuz Thamsanqa Zungu (19) nomngani wabo ongumakhelwane uNgane Langa (17) beshokhwa wugesi wezinyokanyoka.

Izolo kuboshwe abantu abangu-24 kule ndawo ngokudala udlame nokucekela phansi impahla.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uthe kuvalwe umgwaqo izolo ezintatha abantu befuna ukuthi abaholi basukumele udaba lokufa kwababulawe wugesi.

Lo mphakathi ulibeke ngembaba elokuthi lokhu osakwenza manje kusekuncane usazoqhubeka ubhikishe uze unikezwe okufunayo. Bathi sekubahlukumeze kakhulu wukufa kwabantu kule ndawo kodwa akukho okwenziwayo.

UMnuz Siyabonga Ngonyama uthe kubuhlungu kakhulu lokhu okwenzekile bayanxusa ukuthi uhulumeni nabo abanake.

“Izingane nabantu abadala bahlale beshona ngenxa yokulinyazwa wugesi. Sekwanele manje sicela ukuthi silungiselwe indawo esihlala kuyo ukuze kunciphe izigameko esihlala sizibona zokufa kwabantu,” kusho uNgonyama.

UNksz Nelisiwe Choma, naye oyilungu lomphakathi, uthe izingane yizo esezishone kakhulu kule ndawo njengoba zisuke zidlala zigcine zingene lapho kunogesi khona uzishokhe.

“Izingane yizona ezilimala kakhulu njengoba ngisho ziya esikoleni kumele zihambe la kunogesi khona. Akuphephile impela endaweni esihlala kuyo, ngeke usho ukuthi kade yabakhona kodwa siyahlupheka,” kusho uNksz Choma.

Uthe yena uneminyaka emihlanu ehlala kule ndawo kodwa akukho ntuthuko abayibonayo.

“UNgane (17) bekungokwesibili eshaywa wugesi. Nasekuqaleni walimala ezama ukusiza umfowabo owashokhwa yiwona ewulungisa washona,” kuchaza yena.

Izolo ngesikhathi Isolezwe lihambele kule ndawo lifike umgwaqo ongenela edolobheni oThongathi uvaliwe kusha amathayi.

Amalungu omphakathi abesehlakazekile njengoba kade ebalekela amaphoyisa akade ewabopha.

Abafuyi bafuna usizo kuhulumeni

$
0
0

Bacela ukulekelelwa uhulumeni abafuyi baseNgwavuma namaphethelo asebefelwe inqwaba yemfuyo ngenxa yesomiso.

|||

MTHOKOZISI MANQELE

BACELA ukulekelelwa uhulumeni abafuyi baseNgwavuma namaphethelo asebefelwe inqwaba yemfuyo ngenxa yesomiso abathi sebefelwe inqwaba yezinkomo.

Bathi isomiso sibe nomthelela ekusheni kwamadlelo asephenduke ugwadule, izinkomo zabo sezikhuma inhlabathi.

Ukungani kwemvula ezindaweni eziningi zaseMkhanyakude nasezindaweni ezigudle umngcele waseSwazini ngaphansi kobukhosi baKwaMathenjwa nobakwaMngomezulu kushiye abafuyi bephundlekile. Bathi sebephelelwe imali yokuyothenga utshani bezinkomo oPhongolo naseBaqulusini. Abafuyi abagcini ngokukhala ngesomiso kodwa bathi abanawo amadamu amumatha amanzi okuphuza le mfuyo noma bengayinika utshani ayiphuzi lutho. Bakhala nangezilwane zasendle ezeqa eziqiwini ezingomakhelwane zidle imfuyo yabo emahlathini.

UMnuz Jabulani Mafuleka wasesigodini saseKwayiweni khona eNgwavuma, uthe akasakujabuleli ukuba nenkomo manje ngenxa yobuhlungu abuzwayo bokufelwa zinkomo ezilishumi. Uncamela ukuzidayisa ezisele kodwa akazi zingathengwa ubani izinkomo ezondiswe indlala.

“Ubuginqiginqi izinkomo zethu ziyafa zibulawa indlala. Zihamba amabanga amade ziyofuna utshani,” kubalisa uMafuleka.

Omunye umfuyi uMnuz Maseko Mngomezulu naye ukhala esifanayo noMafuleka.

“Asisenamali manje yokuthengela izinkomo zethu utshani, sesifuna ukulekelelwa njengabafuyi ngoba ziyaphela izinkomo zethu,” usho kanje.

Bathi nasemahlangeni lapho ebebevame ukuziklabisa khona sekuyabheda akusekho lutho. UMnuz Nkosingiphile Ngubane okhulumela uNgqongqoshe wezoLimo KwaZulu-Natal uMnuz Cyril Xaba, uthe mancane amathuba okuthi labo asebefelwe imfuyo banganxeshezelwa ngemali.

“Uhulumeni engangenelela kuphela uma lesi somiso sesiqagulwe njengaleso esiyinhlekelele. Ziningi izindawo esezikhahlanyezwe isomiso, inkinga ngesomiso ukuthi siyimvelo asenziwa umuntu,” kusho uNgubane.

Uthe bazolusukumela udaba lokushoda kwamadamu kulezi zindawo ezingenawo njengakhona eNgwavuma. Wengeze ngokuthi akhona abasawakha ezindaweni zaKwaMhlabuyalingana ngenhloso yokusiza abafuyi. Abafuyi baseMkhanyakude bagcine bekwenkulu inkinga yokubulawa yindlala yize benemfuyo abangenza ngayo imali. Uhulumeni wagcina ebamisile ukudayisa inyama yemfuyo yabo ngesizathu sokuthi kuvinjwa ukusabalala kwesifo samatele kwezinye izindawo. UNgubane uthe sebekhululekile manje abafuyi sebengayidayisa inyama yezinkomo zabo ngoba sekwafinyelelwa emizamweni yokulwisana nalesi sifo.

‘Othisha abahole njengodokotela’

$
0
0

Inhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ibe nombuzo wokuthi uma abacwaningi mabhuku behola kakhulu kungani kungamele nothisha bahole kakhulu?

|||

MHLENGI SHANGASE

NJENGOBA uMengameli Jacob Zuma asungula ikhomishini ebheka wonke amaholo abasebenzi bakahulumeni kodwa ezoqala ngothisha nabahlengikazi, inhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ibe nombuzo wokuthi uma abacwaningi mabhuku behola kakhulu kungani kungamele nothisha bahole kakhulu?

UDkt Nkosinathi Sishi, ubephendula umbuzo ngombono wakhe mayelana nemali enganelisa othisha njengoba umnyango wesifundazwe iKZN kuyiwo omkhulu kuzwelonke ngesibalo sothisha abangu-89 000 abaqashiwe.

Lo mnyango yiwona osebenzisa isabelo esikhulu emaholweni othisha. Imali engaphezulu kuka-R32 billion ikhokhela amaholo abasebenzi abangaphezulu kuka-100 000 kulo nyaka wezimali kulesi sifundazwe. Isabelo somnyango singu-R39 billion kanti le ngxenye enkulu iya emaholweni abasebenzi iningi labo okungothisha.

Ngokwezibalo zomnyango ngamaholo othisha uthisha ono-matric neziqu zeminyaka emine uhola kusukela ku-R198 888, kuthi inhloko yomnyango ihole kusuka ku-R218 000 ngonyaka, uthishanhloko kusuka ku-R250 000 kuya phezulu.

“Alikho iholo eligculisayo esingathi singalikhokhela umuntu owuthisha ngenxa yomsebenzi awenzayo ukufundisa isizwe. Ngokwami othisha kumele bahole ngendlela efanayo neminye imikhakha ngenxa yeqhaza labo emphakathini. Noma kungathiwa uwunjiniyela, udokotela, umcwaningi mabhuku, noma imuphi umsebenzi okhokhela ukudlula yonke ezweni kodwa usuke udlule esandleni sikathisha. Pho kungani ke kungamele uthisha ahole kakhulu ngoba sonke nje sifundiswe ibona?” kubuza uSishi.

UZuma wamemezela ukusungulwa kwale khomishini ukuze kucutshungulwe amaholo abasebenzi bakahulumeni kodwa kuqalwe ngothisha nabahlengikazi.

Le khomishini iholwa yiJaji eselathatha umhlalaphansi, uMnuz Sandile Ngcobo kanti muva nje uMengameli wengeze amalungu amabili kule khomishini okubalwa uDkt Vincent Maphai.

UNgqongqoshe weziSebenzi zikahulumeni nokuPhatha, uMnuz Collins Chabane, unxuse othisha ukuthi bafake izimvo zabo uma sekuqalwe izigcawu zale khomishini.

Uthe le khomishini isungulwe ukuze ixazulule izinkinga zamaholo abasebenzi kuhulumeni.

“Le khomishini izobheka ukuthi amaholo esiwanika abasebenzi ngabe afanele yini. Okuningi kuzodalulwa yile khomishini okuyiyo ezonika umengameli izincomo ngekutholile,” kusho uChabane muva nje.

UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, uthe izikhalo ngamaholo othisha ngezinye zezinto ezenze ukuthi kusungulwe ikhomishini.

Uthe okuningi kuzodalulwa yile khomishini ngezokuthola ngoba ngeke baphawule kakhulu ngokuthi amaholo atholwa abasebenzi anele noma awenele.

Abasebenzi bakahulumeni ikakhulu othisha bashiya phansi umsebenzi bathathe imali yabo ukuze bakhokhe izikweletu zabo.

UMgcinimafa ucubungula isiphakamiso esabekwa yizinyunyana sokuthi abasebenzi banikwe ingxenye yemali yempesheni ukuze bakhokhele izikweletu zabo.

UChabane uthe lesi siphakamiso siyabhekwa emva kokusabalala kwemibiko yokuthi uhulumeni uhlela ukudla imali yabasebenzi ngonyaka ozayo njengoba kukhona izinguquko ohlelweni lwezimpesheni.

“Ngokwalezi zinsolo kuthiwa ngeke besayithola yonke imali yabo yempesheni uma beshiya emsebenzini okuyinto engelona iqiniso.

“Abasebenzi bazoyithola imali yabo njengoba injalo izinguquko ezizoba khona zisemikhakheni ezimele engekho kuhulumeni kuma-provident funds,” kusho uChabane.

UNobhala-jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, uthe othisha bahola imali encane yingakho abanye baze bakhethe ukushiya bathathe imali yabo ukuze bakhokhe izikweletu.

Uthe ukube baholelwa imali engcono ngabe abashiyi ubuthaphuthaphu yingakho bekwamukela ukuqokwa kwale khomishini.

UMnuz Allen Thompson, oyiPhini likaMengameli weNatu, uthe iyabakhathaza indaba yokucotha ukuqala umsebenzi kwekhomishini kaNgcobo.

Uthe uma sekuqalwa izingxoxo zamaholo abasebenzi bazoyifaka le ndaba yokuhamba kancane kwale khomishini.

“Siyahambisana nale khomishini sizozifaka izimvo zethu ngoba sifuna kuphuculwe amaholo othisha. Uma ubheka amanye amazwe afana neMalaysia, enomnotho ofana nowethu, othisha bakhona bahola kahle kakhulu uma ubaqhathanisa nabaseNingizimu Afrika,” usho kanje.

UShelembe uyeka ubuholi

$
0
0

Usihlalo wesifunda se-ANC iMoses Mabhida, KwaZulu-Natal, uMnuz Alpha Shelembe, usethi khumu ekuholeni i-ANC endaweni.

|||

CELANI SIKHAKHANE

USIHLALO wesifunda se-ANC iMoses Mabhida, KwaZulu-Natal, uMnuz Alpha Shelembe, usethi khumu ekuholeni i-ANC endaweni ngemuva kokuchitha amagatsha ukuthi aphakamise igama lakhe ngoba ethi sekuyisikhathi sokuba adedele abaholi abasebancane baqhubeke nenhlangano.

UShelembe ukusho lokhu ephawula ngengqungquthela yeqembu esifundeni asiholayo saseMoses Mabhida ezoba ngoNovemba 1 nalapho ebecacisa khona ukuthi usekwenzile okwakhe ngakho sekuyisikhathi sokuthi ahlabele phambili.

“Ngokwe-ANC awuzikhetheli ukuthi kumele amagatsha akuphakamise noma akuyeke kodwa kulokhu ngibone kufanele ukuthi ngidedele abantu abasebancane ekutheni bahole uKhongolose esifundeni iMoses Mabhida. Mina ngivulelekile ukuthi i-ANC ingangijuba kunoma yiziphi izinhlaka zayo kusuka ezingeni lesifundazwe kodwa hhayi eMoses Mabhida ngoba ngiwenzile umsebenzi wami ngihola khona inhlangano ngokwethembeka ngakho ngidedela abantu abasebancane manje nabo bathole ithuba,” kusho uShelembe.

Ukusho lokhu ngemuva kokuthi ngonyaka odlule wakubeka kwacaca ukuthi akasazimisele ukuthi aphinde aqokelwe ukuba yikhansela noma ahole ezingeni lomasipala ngoba wayebona sekuyisikhathi sokuthi adedele abantu abasebancane.

Ushelembe wesula esikhundleni sokuba yiphini leMeya yaseMsunduzi ngemuva kombhikisho owasuswa ngamalungu enhlangano ekhala ngokuthi kawahambisani nokufungiswa kwakhe kulesi sikhundla ngoba wayesolwa ngenkohlakalo.

Waphinde wasolwa ngamacala ayehlanganisa ukushiswa kwamahhovisi e-ANC esifunda saseMgungundlovu ngesikhathi esenguMgcinimafa kaKhongolose eMoses Mabhida.

Inkantolo yamthola engenacala futhi bungekho ubufakazi obabanele ukuthi ashushiswe ngaleli cala.

Ngesikhathi esula njengephini leMeya yaseMsunduzi kwabakhona nabanye abaholi be-ANC, okubalwa uDkt Makhosi Khoza, owalwa efuna axoshwe esikhundleni sokuba yiphini leMeya ngoba emsola ngenkohlakalo.

Akugcinanga lapho kodwa kwabanamalungu ayeholwa isishoshovu se-ANC, uNkk Busi Mkhize, ababefaka ingcindezi yokuthi akhonjwe indlela kodwa i-ANC yagcina ikhiphe isinqumo sokuthi kuxoshwe bona enhlanganwei ngokuyivukela.

Ushelembe kuthe ngo-2012 waqokwa njengoSihlalo we-ANC eMoses Mabhida ngemuva kokusula kwakhe njengephini leMeya kwathi ngonyaka odlule waqokwa waba yilungu lesishayamthetho wabuyiselwa kade kuvulwa kabusha isishayathetho.

Ngaphandle kwalokho izinhlelo zokuphakanyiswa kwamagama abaholi emagatsheni aseMoses Mabhida ziyaqhubeka kodwa kubikwa izinkinga zokushayana ngequpha kwabalandeli.

Esigamekweni sangesonto eledlule kushayane amalungu egatsheni laseSigodini, e-Edendale, kwaze kwabizwa amaphoyisa.

UMnuz Nhlaka Ntombela, ojutshwe yi-ANC kuleya ndawo, uthe noma zikhona izinkinga kodwa isimo siyalawuleka ngoba sebephothule amagatsha angu-63 kwangu-75.

Ushelembe uthe lokhu akwemukelekile ngoba abantu abasalweli imigomo ye-ANC kodwa sebelwa babange ukuthi ubani abafuna ahole inhlangano nokuyinto abangayigqugquzeli.

Amagama okuthiwa asahamba phambili emagatsheni kwesikasihlalo, uMnuz Fana Lembede, Walawala Mzobe kanti uMnuz Thulani “2 Way” Xulu owayeyisikhulu kuLamontville Golden Arrows bamphakamisela esikhundleni sikaNobhala.


Umkhankaso wokuchitha oweDA

$
0
0

Ayaqina amahlebezi etulo okuchitha umholi weDA KwaZulu-Natal uMnuz Sizwe Mchunu.

|||

CELANI SIKHAKHANE

AYAQINA amahlebezi etulo okuchitha umholi weDA KwaZulu-Natal uMnuz Sizwe Mchunu (osesithombeni) . Kuvela ukuthi kuqiniswa umkhankaso wokuthi isikhundla sakhe sithathwe uMnuz Zwakele Mncwango noma uNksz Mbali Ntuli engqungqutheleni ezoba ngonyaka ozayo.

Lo mkhankaso kuthiwa uqiniswa amalungu aseMsunduzi nawaseThekwini kanti wona afuna uMncwango kube nguye ophathayo.

UMchunu uqokwe kulesi sikhundla ngo-2012 engqungqutheleni eyayiseMnambithi lapho ayebanga khona noMnuz Ziba Jiyane owayezama ukushaya ibuya kwezombusazwe.

“Umkhankaso kaMncwango uyaqina kakhulu, akulalwa kunxenxwa amalungu ukuthi aqoke yena njengomholi ozongena esikhundleni sikaMchunu engqungqutheleni yeDA ezoba ngonyaka ozayo. Abantu abawuqinise kakhulu abaseMsunduzi nabaseThekwini okuyibo abamfuna ezithathile izintambo. Ngakolunye uhlangothi inkinga ukuthi uMncwango akathandi ukusebenza ngokwama-camp nokuyinto eyamsiza engqungqutheleni yaseMnambithi,” kusho amalungu acele ukungadalulwa.

Omunye wemithombo uveze ukuthi indaba yokusebenza ngokwamaqoqo kwacishe kwamlimaza uMchunu ngoba ethimbeni lakhe elalihamba naye eMnambithi kwakhethwa abathathu kuphela ababaziwa ngokuthi yi-team Sizwe.

Labo kwakungoMnuz Froncois Rodgers, Nksz Makhosazana Mdlalose noNkk Dianne Kohler-Barnard.

UNksz Ntuli naye kube nemibiko yokuthi kunemikhankaso yakhe yokuchitha uMchunu ukuze kube nguye othatha lesi sikhundla. Lokhu kungamenza owesifazane wokuqala ukuhola iDA eKZN.

UMnuz Tex Collins owakhishwa esikhundleni sokuhola i-DA kumasipala weTheku naye kuvela ukuthi kukhona abafuna yena akhethwe esikhundleni sokuba wuSihlalo weDA (Provincial Federal Chair).

UMncwango ngesikhathi ethintwa uthe ngesikhathi ejoyina iDA wayengazele izikhundla futhi akazi lutho ngabantu okuthiwa bayamkhankasela.

“Uma kuza ingqungquthela kwiDA abantu bayavuleleka ukuthi baphumele obala baziwe ukuthi bafuna ziphi izikhundla ngakho lelo thuba alikafiki futhi ayikho imikhankaso engiyingxenye yayo,” kusho uMncwango.

UNksz Ntuli naye uziqhelelanisile nendaba yokuthi ugaqele isikhundla esiphethwe wuMchunu wathi okwamanje umatasa nomsebenzi wakhe awenza eMkhanyakude weDA.

“Angazi lutho ngaleyo nto futhi okwamanje ngimatasa nomsebenzi wami wokukhulisa iqembu eMkhanyakude ngakho azikho izikhundla engizihlanganisa nazo zengqungquthela,” kusho uNksz Ntuli.

UCollins yena eziphendulela uthe akukho angakuphawula kodwa kungaba ngcono kulindwe kuze kufike ingqungquthela bese kubonakala ukuthi kwenzekani.

Kubangwa ifa lowadutshulwa

$
0
0

Ukhala ngesoka elinqwahe nempahla yendodakazi yawo eyadutshulwa umndeni wakwaMkhize KwaMakhutha.

|||

BONISWA MOHALE

UKHALA ngesoka elinqwahe nempahla yendodakazi yawo eyadutshulwa ngentululwane yezinhlamvu ezingu-17 umndeni wakwaMkhize KwaMakhutha osekuphele izinyanga ezingu-10 ungakwazi ukungena emzini wayo ose-Adams Mission.

Ngokusho kwamalungu omndeni asaba ukudalulwa ngenxa yezokuphepha, isoka likamufi uNksz Joyce Ngenzeni Mkhize (44) (osesithombeni) , uMnuz Royal Magceba Mngoma selokhu lavala umuzi ngoDisemba emuva kokubulawa kwakhe lathatha izingane zakhe ezimbili ebezihlala nomufi.

“Sicela usizo ngoba nomphenyi wecala akasazisi ngokwenzekayo, akukaboshwa muntu ngokufa kukaNksz Mkhize owayengumhlengikazi emtholampilo wase-Adams. Inkinga enkulu esibhekene nayo wukuthi isoka lakhe lifuna ukuthatha izinto zikamufi ngenkani yize babengashadile. Uvale umuzi, wathatha imoto yakhe i-Chrysler futhi usitshele ukuthi ngeke senze lutho,” kusho abomndeni.

Bathe bayasaba ukudalulwa ngoba uMngoma yindoda esatshwayo engabalimaza uma isiyazi ukuthi ngobani abapotshozele Isolezwe udaba.

Baveze ukuthi yize kunencwadi ekubeka kucace ukuthi umufi wayefuna izingane zakhe zihlale nodadewabo uNksz Zanele Marunah Mkhize owayezigada kodwa uMngoma uwuhlaba inhlali lowo myalelo futhi ummeli wakhe uthe bazoyidabula.

UMgoma uthe ngeke akwazi ukukhuluma ngodaba lwamafa kamufi ngoba lusenkantolo yamajaji.

“Badlala ngawe ngoba befuna ukudla umuzi kadadewabo. Akukho engizokusho okwamanje kungcono siqede nabo enkantolo. Uma sesiqedile ngiyobe sengikwazi ukukhuluma nabephephandaba,” kusho uMngoma.

U-Captain Thulani Zwane wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe, amaphoyisa asaphenya ngokufa kukaNksz Mkhize futhi bekungakaboshwa muntu.

UNksz Mkhize wadutshulwa ngoDisemba 18, ngonyaka odlule ngamadoda angaziwa amabili okuthiwa aqhulula izinhlamvu ezingu-17 emotweni yakhe, maqede abaleka. Wayesendleleni eya emsebenzini esanda kuphuma emzini wakhe oseNqutshini, e-Adams Mission, ehamba nge-Toyota Corolla.

Kuphenywa ngokuzibulala kwesinye isiguli esibhedlela

$
0
0

Abasebenzi bathe bathukile ngalesi sigameko ngoba abazi ukuthi yini eholele ekutheni lesi siguli sizibulala ngesihluku esingaka.

|||

SHERLISA PETERS

AMAPHOYISA KwaZulu-Natal noMnyango wezeMpilo sebeqale uphenyo ngesizathu esiholele ekutheni kushone isiguli esiziphonse esitezi sesithathu esibhedlela iGrey’s eMgungundlovu.

Abasebenzi baseGrey’s bathi uMnuz Nhlanganiso Dladla (55) uziphonse ngoLwesibili esuka esitezi sesithathu e-D1 okuyilapho ebelaliswe khona.

Abasebenzi bathe bathukile ngalesi sigameko ngoba abazi ukuthi yini eholele ekutheni lesi siguli sizibulala ngesihluku esingaka.

Bathe bazamile ukuhlenga uDladla ukuthi angaziphonsi kodwa behluleka. Akucaci ukuthi ubengeniswe esibhedlela ephethwe yini.

Isolezwe lithole ukuthi uDladla ubengesona isakhamuzi saseMgungundlovu .

Ongumxhumanisi eGrey’s, uNksz Zamo Mntungwa, uthe lolu daba lusaphenywa.

Uphenyo luzobhekisisa kabanzi ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi uDladla afinyelele ewindini engagadwe muntu njengoba egcine eziphonsa washona.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uthe bavule idokodo mayelana nokushona kukaDladla.

Lesi sigameko silandela esase-Addington Hospital, eThekwini, lapho owesifazane oneminyaka engu 34 azibulala khona.

OyiNhloko yoMnyango wezeMpilo esifundazweni, uDkt Sbongile Zungu, uthe lo wesifazane waziphonsa ngewindi elisegunjini okuwashelwa kulona.

“Ngesikhathi esesibhedlela lona wesifazane wacela abahlengikazi ukuthi bamsize ngocingo ukuze athinte owesilisa thizeni kodwa kuthe uma omunye wabahlengikazi emphelezela emyisa egunjini abezoshaya kulo ucingo wavele waqonda kuleli okuwashelwa kulo wavula iwindi waziphonsa washona,” kusho uDkt Zungu.

Zisenkingeni izikole ezifundisa ‘izipoki’

$
0
0

Sekuvudululwe umkhonyovu wothishanhloko KwaZulu-Natal.

|||

MHLENGI SHANGASE

SEKUVUNDULULWE umkhonyovu wothishanhloko KwaZulu-Natal abandisa isibalo sabafundi abayizipoki ukuze bathole imali ethe xaxa emnyangweni wezemfundo.

Lo mkhonyovu ubanjwe yithimba elijutshwe nguNgqongqoshe wezemfundo esifundazweni, uNkk Peggy Nkonyeni elithole ukuthi wandile lo mkhuba ezikoleni zakulesi sifundazwe.

UNkk Nkonyeni uthe ophenyweni abasalwenze esifundeni sasoThungulu kuphela kwenye yama sekethi omnyango bathole ukuthi bangu-200 000 abafundi okwandiswe ngabo.

Uma isikole sandise abafundi sithola imali ethe xaxa emnyangweni wamanorms and standards, sithola nothisha abaningi ngokohlelo lwePost Provisional Norm (PPN).

“Ngokwezibalo enginazo zabafundi baKwaZulu-Natal zikhomba ukuthi bangu-2.6 million. Kodwa-ke asazi ngenxa yokuvela kwalo mkhonyovu ukuthi yisibalo esiyiso yini ngoba mhlawumbe sithola imali eningi nje kuMgcinimafa kungafanele ngenxa yokuthi kuthiwa sinabafundi abaningi. Esizobathola nje ukuthi bakwenzile noma bayakwenza lokhu siyobabeka icala lenkohlakalo,” usho kanje.

Ukusho lokhu izolo exwayisa othishanhloko ngesikhathi kwethulwa uhlelo lokusatshalaliswa kwama-i-Box ezikoleni zesifundazwe eGlenwood.

Uthe beyisigungu soNgqongqoshe bezemfundo kuleli baxoxile ngalolu daba bavumelana ngokuthi abenza lokhu kumele badalulwe.

“Sizobadalula esidlangalaleni abenza lokhu ngoba benza inkohlakalo. Sisabambe abangu-200 000 kuphela kanti uphenyo lusaqhubeka ngakho asazi njengoba lolu hlelo luya kuzona zonke izifunda ukuthi bangaki abafundi okuzotholakala ukuthi bayizipoki. Sibeka icala uthishanhloko nalo lonke ithimba lakhe le-SMT (School Management Team) uma sithola ukuthi bakwenzile lokhu. Kulabo abakwenzile nabasazokwenza ngithi buyelani emuva nikulungise lokhu ngoba siyeza kunina,” kuqhuba uNkk Nkonyeni.

Uthe sebesabalalise ama-i-Box angu-350 ezikoleni nakuma-Educational Centres angu-45 kanti ibiza u-R30 000 ngayinye.

“Le i-Box iba nayo yonke into yokusiza uthisha uma efundisa ngazo zonke izifundo noma ebuyekeza ngoba uyakwazi ukuyimisa nokuyihlehlisa uma kukhona la esala khona nabafundi. Lolu hlelo luhambisana nezichazamazwi, ama-e dictionary lusidle u-R10 million. Uyakwazi nokuzithengela amanye ama-dvd uwadlale kuyona i-i-Box,” usho kanje.

ULindokuhle Ngcobo ofunda umatric eSbonelo High KwaMashu, uthe sebenayo i-i-Box esikoleni sabo wathi ibasiza kakhulu njengoba kuzobhalwa.

Uthe uma bebuyekeza iyabasiza futhi wathi nakanjani imiphumela izoba mihle ngenxa yalolu hlelo.

“Kwesinye isikhathi udinga ukuthi ungachazelwa uthisha kodwa uzibukele lokho okufundwayo njengoba kusuke kufana nokuthi ubuka i-movie. Uqonda kalula futhi iyangena into uma uyifunda ngendlela ehlukile kunale oyijwayele,” usho kanje.

Ubonge kakhulu umnyango ngokuqhamuka nalolu hlelo ngoba abafundi bazohlomula kakhulu.

Ukhala ngokushaywa unina wengane yakhe

$
0
0

Owesifazane uvele enkantolo ngecala lokushaya uyise wezingane zakhe emuva kokuthola ukuthi unengane nomunye wesifazane.

|||

ZAMANDOSI CELE

OWESIFAZANE uvele enkantolo yaseMlazi ngecala lokushaya uyise wezingane zakhe emuva kokuthola ukuthi unengane nomunye wesifazane.

UMnuz Wandile Shezi (34) wakwa F uthe usekude ukukhohlwa wokumehlele ngoMgqibelo ehlaselwa wunina wezingane zakhe ezimbili nokuze kwaphoqa ukuba aphuthunyiswe esibhedlela ePrince Mshiyeni ngenxa yokulimala kanzima.

“Wangishaya waze wangiklinya ngaphandle kokulwisana naye,” kuzikhalela uShezi okumanje ubona kalufifi emuva kwalesi sigameko.

UShezi uthe ngendlela alimala ngayo wahanjelwa wumqondo ngoba kukhona lapho unina wezingane zakhe ayesemthela ngamanzi ngoba embona engasaphenduli esesaba.

“Sibanga ukuthi abangani bami bamtshele ukuthi nginengane base bemluleka ukuthi kumele ayithande ingane ngoba ayinacala. Ngiphatheke kabuhlungu, angazi ukuthi ngithini. Kusho ukuthi ngizofa uma ngishaywa kanje. Ngifisa ukuthi kube yisifundo ngoba ukube yimina engimshayile ngabe kukhulunywa okunye,” kusho uShezi egcizelela ukuthi ngeke alisule icala.

Uthe akaqali ukuthi amshaye. Sekwake kwenzeka ngaphambilini kwazise sebethandane iminyaka ewu-14.

Uthe akakutholi ukuphumula yizingcingo ezivela kubo kwantombazane bemthuka.

UShezi, onezingane ezimbili – eneminyaka ewu-13 nenemibili – uthe akazisoli ngokumvulela icala.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni iKwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uthe bangakuqiniseka ukuthi isigameko esifana nalesi senzeka ngo-Okthoba 5.

“Amaphoyisa abopha owesifazane (31) wabe esebekwa icala lokushaya ngenhloso yokulimaza,” kusho uZwane.

Icala lihlehliselwe uLwesine.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>