Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Kuphele ugesi kwahlehla icala ‘lababulali’

$
0
0

Kuhlehle amacala eNkantolo yeMantshi eMbumbulu ugesi ungekho nemishini yokuqopha ingasebenzi.

|||

BAWINILE NGCOBO

KUHLEHLE amacala eNkantolo yeMantshi eMbumbulu izolo ugesi ungekho nemishini yokuqopha ingasebenzi.

Izolo bekumele kulalelwe isicelo sebheyili sabasolwa ecaleni lokubulawa kwephoyisa laseDurban Central, uConstable Nkanyiso Dennis Ngcobo (32) isidumbu sakhe esatholwa ngenyanga edlule sigqitshwe emgodini eMkhomazi. Icala libe selihlehliselwa uLwesihlanu.

UConstable Mbongiseni Ndlovu owayesebenza noNgcobo owayegcine ehambe naye beya emcimbini womunye umngani wabo eNgonyameni ukuhoxisile ukucela ibheyili.

UConstable Qobolwakhe Mqadi noMnuz Sizwe Ndlovu ongumfowabo kaConstable Ndlovu bazocela ibheyili emuva kokuthi sebeqashe abameli abazobamela.

Abasolwa bagcinwe ezitokisini esiteshini saseMayville.

Isidumbu sikaNgcobo satholwa emuva kwamasonto amathathu anyamalala ekhaya kuthiwa uhambe noConst Ndlovu baye emcimbini womunye umngani wabo.

Isidumbu satholwa emuva kokuba kubonakale lapho kwakugcine khona ukudonsa iselula yakhe okuthiwa yatholwa emgodini nesikhwama sakhe semali esabe sinekhadi lokuqashwa emaphoyiseni.

Inja yamaphoyisa eyasiza ukuze sitholakale ngemuva kokuthi ilandele iphunga elabe liqhamuka lapho kwakugqitshwe khona isidumbu esabe sesiqala ukonakala.

UNdlovu noMqadi bazocela ibheyili ngoSepthemba 19.


Uhlaka lokuthuthukisa intsha

$
0
0

Ukubuyekezwa kwe-national youth policy kuzogxila entsheni engenamakhono nengasebenzi engamakhaladi nemnyama.

|||

UKUBUYEKEZWA kwe-national youth policy kuzogxila entsheni engenamakhono nengasebenzi engamakhaladi nemnyama, lisho kanje iPhini likaNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uMnuz Buti Manamela ngoMsombuluko.

“Ngizobe ngisebenzisa izibalo zentsha engasebenzi ekwenzeni uhlaka lweNational Youth Policy 2015-2019 ukuqinisekisa ukuthi siphusha uhulumeni, izinhlangano ezizimele nabamabhizinisi ukuba bawuqhube lo mkhankaso ukwenza ngcono impilo yentsha,” kusho uManamela.

Ubekhuluma emuva kokwethulwa kombiko ngentsha engasebenzi kule minyaka engu-20 eyedlule yiStatistician-General uMnuz Pali Lehohla.

Umbiko uthole ukuthi intsha emnyama eneminyaka engu-25 kuya ku-34 ayilitholanga ithuba lokuhloma ngamakhono kule minyaka engu-20 eyedlule uma kuqhathaniswa nentsha engamakhaladi, engamaNdiya nemhlophe.

Ukungaqashwa kwentsha kumi ku-36.1%, bese kuthi intsha engenayo imisebenzi imi ku-75%, kusho uLehohla.

Kunezimbangela ezehlukene zokushoda kokuthuthuka kwamakhono ngendlela efanele, kusho uLehohla.

Lezi kubalwa umsizi oshiywe wubandlululo, ukuvalwa kwamakolishi okuqeqesha othisha nonesi, ukungaphathwa ngendlela kwezemfundo (njengokungethunyelwa kwezincwadi ezikoleni), ukufundisa okungezi nemiphumela efanele, nomsebenzi wabazali ekufundiseni izingane zabo. –Sapa

Izibalo zobugebengu zizokwethulwa ngoLwesine

$
0
0

Izibalo zobugebengu ezikhishwa minyaka yonke zika-2013/2014 zizokwethulwa ngoLwesine, kumenyezelwe kanjalo.

|||

Izibalo zobugebengu ezikhishwa minyaka yonke zika-2013/2014 zizokwethulwa ngoLwesine, kumenyezelwe kanjalo.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Nkosinathi Nhleko, iphini lakhe, uNksz Maggie Sotyu noKhomishana wamaPhoyisa, uRiah Phiyega (osesithombeni) bazokwethula izibalo bekwiSA Police Service Training Academy ePretoria.

Ngonyaka odlule kwaba nokungaboni ngaso linye phakathi kwamaphoyisa nabe-Institute for Security Studies (ISS) mayelana nezibalo zobugebengu nokuthi zahlanganiswa kanjani.

I-ISS yathi izibalo zobugebengu ezakhishwa ngamaphoyisa ngoSepthemba zinephutha futhi balehlisile izinga lobugebengu obunodlame.

Ngaleso sikhathi ophethe uphiko lwe-ISS, olubhekele ubugebengu nezobulungiswa, uMnuz Gareth Newham, wathi amaphoyisa asebenzisa izibalo zokubalwa kwabantu zeStatistics SA zango-2001 ngokwazo okwakulindeleke ukuthi abantu baseNingizimu Afrika babe ngu-50.6 million ngo-2011.

Esikhundleni salokhu kwakufanele basebenzise ulwazi olwabe lutholwe nge-census ka-2011 nolwalukhombisa ukuthi bangu-52.3 million abantu eNingizimu Afrika.

Ngokungasebenzisi isibalo sabantu esifanele, amaphoyisa akuthatha njengento engelutho ukwenyuka kobugebengu obudlebelekile nobunodlame, kusho uNewham. – Sapa

Womabili amahhovisi, elamaphoyisa nelekhomishana wamaphoyisa akuchitha lokhu kugxekwa. – Sapa

Lithole ezimnandi ibhange ebelinezinkinga

$
0
0

Abebhange likahulumeni waKwaZulu-Natal, Ithala, bazishaya isifuba ngokuthi sebebuyisa isithunzi saleli bhange.

|||

BONISWA MOHALE

ABEbhange likahulumeni waKwaZulu-Natal, Ithala, bazishaya isifuba ngokuthi sebebuyisa isithunzi saleli bhange emuva kwesikhathi linezinkinga.

Izolo isikhulu esiphezulu sebhange Ithala, uNkk Yvonne Zwane, sithe bathole umbiko womcwaningi mabhuku ongenagcobho emuva kweminyaka emithathu kuqokwe ibhodi elisha nobuholi obusha.

Ngokombiko womcwaningi mabhuku Ithala lingenise imali engaphezu kuka-R592 million uma kuhlanganiswa imali engene ebhange nasophikweni lwezokuthuthukiswa kanti babolekise ngemali engaphezu kuka-R1 billion babuyisa cishe u-R500 million.

UNkk Zwane uvumile ukuthi Ithala belikhungethwe yizinkinga kodwa lokho sebekushiye ngemuva njengoba bethole umbiko omuhle.

“Izindaba zezikweletu nokungaphathwa kahle kwemali sekungumlando, sibheke phambili manje njengoba sithole umbiko omuhle womcwaningi mabhuku. Sikhuculule ebesingakwenzi kahle, salungisa imigomo yethu nokunye ebesibona ukuthi akuhambi kahle. Akekho umuntu obekweleta Ithala esingamlandeli ngoba siyayifuna imali yethu,” kusho uNkk Zwane.

Amazwi akhe esekwe ngamalungu ebhodi obekukhona kuwo uMnuz Greg White nabanye abathe bebenengcindezi yokuthi bashintshe indlela abenza ngayo noma kuvalwe ibhange babona ukuthi akumele livalwe basebenza ngokuzikhandla.

Odabeni lwebhilidi elingundaba-mlonyeni elalizothuthukiswa ngo-R54 million, i-Dolphin Whispers, bathe babona ukuthi kungcono ukuthi balithathe njengoba imali yayingabuyi.

I-Dolphin Whispers isibizwa nge-Ithala Trade Centre kanti izovulwa ngokusemthethweni ngoMashi ngonyaka ozayo. Kulindeleke ukuthi ibe namahhovisi oMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo.

UMnuz Naseem Mohammed wehhovisi lomcwaningi mabhuku KwaZulu-Natal uthe kuyaqala eminyakeni eminingi Ithala lithola umbiko ongenagcobho.

“Kule minyaka emithathu sisebenza nebhodi nesikhulu esisha sibone omkhulu umehluko ngoba bebeyilandela imigomo ebekiwe, imali iyabonakala ukuthi ishonephi. Kungaba khona ukuthi ababuyisanga yonke imali ebikweletwa kodwa lolo wudaba lwebhizinisi ngokomcwaningi mabhuku benze kahle,” kusho uMohammed.

Ingwiji kwelokubulala

$
0
0

Ngolwesine kwavela ubufakazi obushaqisayo eNkantolo yesiFunda eThekwini ngendlela okwabulawa ngayo owesifazane womdabu waseNdiya.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

NGOLWESINE kwavela ubufakazi obushaqisayo eNkantolo yesiFunda eThekwini ngendlela okwabulawa ngayo owesifazane womdabu waseNdiya owabe engumahosha maqede abasolwa bamshumpula ikhanda omunye wabo waliyisa enyangeni eyabe imthembise uR2 million uma efike nekhanda leNdiya, noma elomlungu okanye lekhaladi.

Izolo abasolwa abathathu abangeke badalulwe amagama ngenxa yeminyaka yabo, bekulindeleke ukuba bavume icala lokubulala uNksz Desiree Murugan (39) kodwa babuye bashaya ingwiji batshela iMantshi ukuthi bayaliphika icala. Abanye ababhekene naleli cala ngoSibonakaliso Mbili (32), noVusi Gumede (30).

IMantshi u-Anand Maharaj ibe isilihlehlisa icala ukuze liqhubeke ngoMsombuluko ozayo. UFalakhe Khumalo (18) owayengomunye wabasolwa kodwa walivuma icala wagwetshwa udilikajele echaza ngokusuka nokuhlala kwalolu daba wathi, inyanga eyabe imelapha isifo socansi ngo-Juni 2013 yamthembisa ukumnika u-R2 million uma eyilethele ikhanda leNdiya, elomlungu noma elekhaladi.

Uthe emuva kokuba esesindile ekuguleni kwakhe waya enyangeni uMbili (ambiza ngo makhosi) naye ongumsolwa kuleli cala ukuze amnike umuthi wokuphelemoyeni angabanjwa amaphoyisa kanye nabanye ayezokwenza nabo lo msebenzi.

Ngobusuku bango-Agasti 17 uKhumalo nabasolwa abathathu abangaphansi ngeminyaka, wathi bayenga uNksz Murugan ukuba eze enkundleni yezemidlalo eShallcross eduze kwaseChatsworth. Wathi wamkhokhela uR100 ngokuya naye ocansini nokumpotoza.

“Ngesikhathi sisocansini, umsolwa wokuqala waqhamuka ngemuva kwami ephethe ummese i-okapi kodwa umufi wakwazi ukumbona. Ngabe sengimvala umlomo ukuze angabangi umsindo. Ngambamba ngqi ngamsondeza eduze ukuze anganyakazi nakancane,” kuchaza uKhumalo.

Isidumbu sikamufi satholwa sinamanxeba alinganiselwa ku-195.

UKhumalo wathi ikhanda wabe eselithatha eliyisa kuMbili ohlala ogwini lesifundazwe KwaZulu-Natal. Uthe ngesikhathi bengena endlini lapho uMbili elaphela khona, waqhamuka ephethe ucelemba, ifosholo namathini amabili.

“Wathi angisike amashiya kuleli khanda, nami ngenze njalo. Umakhosi (Mbili) wabe eselihlahlela ikhanda wakhipha ubuchopho nolimi wakufaka kulamathini amabili,” kuchaza uKhumalo. Uthi amathini abe esegqitshwa emuva kwendlu kaMbili.

UKhumalo waboshwa engakayitholi imali yakhe eyethenjiswe yona ngalo msebenzi.

U-DJ Sbu uxolisile ngokwephula umthetho

$
0
0

Sixolise kubalandeli baso isilomo somsakazi weMetro FM.

|||

TEBOGO MONAMA

SIXOLISE kubalandeli baso isilomo somsakazi weMetro FM esiphinde sibe nezinkulumo ezigqugquzelayo, uDJ Sbu, ngokuboshwa kwaso ngenxa yokushayela ngesivinini eseqile kwesivumelekile.

UDJ Sbu izolo uvele enkantolo yeMantshi eseHatfield ngemuva kokuboshwa ngoLwesihlanu ebusuku eshayela ngesivinini esingu-170km/h endaweni enqunyelwe ijubane eliwu-120km/h emgwaqeni u-N1 eduze kwaseBrooklyn.

Ngokwesitatimende asikhiphile, wayebheke ePolokwane ukuyokwethamela umcimbi wokugubha ukusungulwa kweMetro ngesikhathi eboshwa.

Okhulumela iMetro FM, uHappy Ngidi, uthe: “IMetro FM iphoxekile ngalesi sigameko esingesihle futhi isiteshi asikugqugquzeli ukushayela ngesivinini noma ngabe kunjani njengoba bekungenzeka kube yibhadi izinto zenzeke ngenye indlela kube nemiphumela emibi kakhulu. Isiteshi siyahambisana nemigudu yonke yasenkantolo nokuqhubeka kwayo.”

Akukona okokuqala uSbu eboshelwa ukushayela ngesivinini esiphezulu.

Ngo-2007 waphoqeleka ukubuyisela emuva i-Audi TT ayexhaswe ngayo ngemuva kokubanjwa eshayela ngesivinini esingu-275km/h phakathi kwe-tollgate iGrasmere neGolden Highway, eningizimu neGoli.

Walivuma icala wahlawuliswa u-R7 000 wathola nesigwebo sasejele esilengisiwe.

Ngecala aboshelwe lona ngoLwesihlanu, uzobuyela enkantolo kaMantshi eseHatfield ngo-Okthoba 3 nonyaka.

Kukhonjwa umbhikisho womphakathi ngengozi yamatekisi eNanda

$
0
0

Kusolwa umbhikisho womphakathi waseZimangweni eNanda obuvale umgwaqo ngembangela yengozi yamatekisi amabili.

|||

THOKOZANI MBUNDA

KUSOLWA umbhikisho womphakathi waseZimangweni eNanda obuvale umgwaqo izolo ekuseni ngembangela yengozi yamatekisi amabili eyenzeke lapho umphakathi ubuvale khona ubhikishela ukuba kufakwe izinciphisajubane.

Itekisi ebilayishe abagibeli isuka eMatabetulu inqamula emgwaqeni obuvaliwe izithele phezu kwenye itekisi yaseNanda Crossroad ebihamba ngesivinini esiphezulu ebizama ukugwema amaphoyisa abevimbe lapho bekuvalwe khona umgwaqo.

Kuzwakale isililo nobumayemaye ngesikhathi kwenzeka le ngozi kwalimala inqwaba yabagibeli. Isolezwe likhulume noMnuz Siyanda Magubane waseMatabetulu onguscabha kwenye yamatekisi abesengozini.

UMagubane obesadidekile uthe akazi ukuthi basinde kanjani ngoba umshayeli wabo uzame ukuvika itekisi yaseNanda ezithele kubona kwasho ukuthi sekunzima ukuyibamba,

“Sibonga nje ukuthi akufanga muntu, nama-ambulensi asheshe afika ukuphuthumisa abebelimele kakhulu esibhedlela, sesithemba ukuthi abaphathi bamatekisi bazoyilungisa bebodwa le ndaba,” kubeka uMagubane.

Kuze kwenzeke le ngozi nje amatekisi abezama ukuvika amaphoyisa abegade umphakathi obubhikisha ufuna kufakwe izinciphisajubane kulo mgwaqo.

Kusukela ngoLwesihlanu ebusuku umphakathi waseZimangweni ubuvale umgwaqo uthi akubuyiselwe izivimbamgwaqo ezakhishwa ngesikhathi kulungiswa umgwaqo.

Ekuqaleni konyaka kwashayiseka ingane yashona kulo mgwaqo ngenxa yokuthi izimoto zihamba ngesivinini esikhulu. NgoLwesihlanu kwaphinde kwaba nengozi imoto ishayisa ingane yesikole umphakathi wase unquma ukubhikisha. Ilungu lomphakathi lithe kumele kubuyiswe izinciphisajubane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Jay Naicker uthe akekho oshonile kule ngozi, uphenyo ngayo lusezandleni zamaphoyisa aseNanda.

Ubulawe ngesihluku onqabe ukuyokipita

$
0
0

Usagcwele amathafa owesilisa osolwa ngokugwaza abulale isinqandamathe sakhe.

|||

NOKUBONGWA PHENYANE

USAGCWELE amathafa owesilisa (40), obengunogada enkampanini iMbube, osolwa ngokugwaza abulale isinqandamathe sakhe ngemuva kokuthi sinqabe ukuyokipita naye elokishini laseVryheid.

UNksz Nikeziwe Mkhize (25), ushonele esibhedlela ngemuva kokuthi umsolwa emnqumise okwembuzi ngenxa yempi ebe phakathi kwabo.

Lesi sigameko namanje esisengundabamlonyeni senzeke ngeledlule lapho bekuqashe khona umufi njengoba ebesebenza esitolo sakwaShoprite, eVryheid kodwa engowokuzalwa eNtanyandlovu, eNquthu.

Udadewabo kamufi uNksz Hlengiwe Mkhize uthe namanje basathukile ngokwenzekile njengoba umsolwa ubehlala emtshela umufi ukuthi abazohlala ndawonye kodwa yena anqabe ukuhlala naye.

“Ngosuku okwenzeka ngaso isigameko kwakusebusuku ngo-12 kwangena ucingo lwakhe nokwathi uma ngilubamba kwangakhuluma muntu lwavaleka. Ngacabanga ukuthi kungenzeka ukuthi i-network iyahlupha kodwa kwaphela isikhashana waphinde wafona ekhala wathi uselimele ucela sizomsiza,” kusho uNksz Mkhize.

Uthe wacela umqashi wakhe ukuthi ahambe ayobheka ngoba yena wayengeke akwazi ukufinyelela emqashweni kadadewabo.

“Ubaba engamcela ukuthi akamhambise wamfica ephuma igazi egwazeke kabi ngoba nami ngamfonela ngimbuza ukuthi umfice enjani wathi ubelimele kanzima. Ekuseni ngavuka ngaya esibhedlela eVryheid amanesi athi ukhona ubesathungwa lapho elimele khona,” kuchaza yena.

Uthe ngesikhathi esefika kuyena umufi wamtshela ukuthi enye into ebibaxabanisa ukuthi umsolwa ubemphoqa ukuthi bazohlala ndawonye. Utshele Isolezwe ukuthi okunye obekubaxabanisa ukuthi umufi ubekade emkhuza ngokuthi angathathi izindaba zakhe azitshele abakubo.

“Bekuthi njalo uma bexabane nodadewethu ahambise izindaba zabo ekhaya kanti udadewethu ubengakuthandi lokho nokuyikho athi yabaxabanisa. Wathi umsolwa wahamba ngemuva kokumkhuza waphinde wabuya ngoba esemtshele ukuthi abahlukane akasamfuni wangena ngewindi wamcindezela phansi wamtshela ukuthi ithuna lakhe selifikile emkhombisa ummese,” kuchaza yena.

Ngemuva kwalokho umufi kuthiwa watshela udadewabo ukuthi wezwa ngento imgwaza emqaleni wabona sekuphuma igazi ngamakhala nomlomo.

“Wahlala izinsuku ezimbili esibhedlela washona odokotela basitshela ukuthi wophele ngaphakathi igazi bese lifike emaphashini. Umsolwa akakaze afonele ekhaya achaze ukuthi umufi usemlimazile,” kusho yena.

Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba lithe kukhona incwadi umsolwa ayibhalile echaza imbangela yokubulala uNksz Mkhize.

Iphoyisa lithe ube esenxusa ukuthi lingenzeki iphutha lokuthi uma eshona uNksz Mkhize akhonjiswe isidumbu sakhe ngoba nguyena oyimbangela yokuthi azibulale.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane uthe kuphenywa icala lokufa kwalona wesifazane kanti akukaboshwa muntu.

Ukuqinisekisile ukuthi ikhona incwadi abayitholile ebhalwe umsolwa egcinwe emaphoyiseni.


Ningahlali nibonakala nihlukumezekile: Njoko

$
0
0

Isishoshovu esilwela amalungelo abaphila negciwane lengculazi, uNksz Musa Njoko, uphonsele abantu besifazane inselelo.

|||

LUNGI LANGA

ISISHOSHOVU esilwela amalungelo abaphila negciwane lengculazi, uNksz Musa Njoko, uphonsele abantu besifazane inselelo yokungahlale bebonakala njengabahlukumezekile.

Ubekhuluma emcimbini wokuhlonipha abesifazane obuhlelwe wuMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal obusesibhedlela i-Addington izolo.

UNksz Njoko uthe abantu besifazane kufanele baziphathele impilo yabo ngezandla ngaphandle kokulindela ukuthi kube khona abazobathathela izinqumo.

Ukhulume ngeqhaza abangalibamba ekulweni nokusabalala kwegciwane lengculazi.

Wenze isibonelo ngesigameko sangonyaka odlule lapho ebe nengozi yemoto. Uthe watshela amadoda ayezobasiza nalabo ayehamba nabo ukuthi unegciwane lengculazi ngesikhathi bemsiza bemkhipha emotweni.

“Ngibe umuntu obe neqiniso ngisho nasekufeni ngakwazi ukuvikela abantu ababezama ukungisiza ngathi kubo abathathe ubhulankethi noma opulasitiki bangangibambi ngezandla zabo ngoba ngangopha kakhulu. Kodwa manje ngibona izibalo (zabanegciwane) zanda. Asikwazi ukuqhubeka nokuba abahlukunyezwa,” kusho uNksz Njoko.

Uphinde wakhuluma ngomculo wakhe lapho eveze ukuthi akakhathazeki kangako uma umculo wakhe ungathengwa eNingizimu Afrika. Uthe uyathandwa kakhulu kwamanye amazwe aseke wavakashela kuwo. Uthe izinkampani eziningi eziqopha umculo zazingafuni ukumqopha ngoba zithi uzoshona zingakayitholi imali yazo. Uthe manje usephumelele emculweni futhi lokhu akukhona ngoba enegciwane lengculazi.

Inhloko yoMnyango wezeMpilo, uDkt Sibongile Zungu, ubonge abesifazane bomnyango obekukhona kubo abahlengikazi, odokotela kanye nabanye abasebenzi bezempilo ngeqhaza abalibambile ezinhlelweni zomnyango wezempilo.

Uthe lezi zinhlelo bezingeke zibe yimpumelelo ngaphandle kwabo.

UDkt Zungu uthe umnyango ungomunye ehlonishwayo eNingizimu Afrika.

“Yize umnyango uhlonishwa kuzwelonke kodwa kulesi sifundazwe sibukwa kabi,” kusho uDkt Zungu.

Ukhuthaze abasebenzi ukuthi baqhubeke nokusebenza noma izinto zibukeka kabi.

Uphinde watshela abesifazane abebehambele umcimbi ukuthi kunencwadi abayenzile ehlonipha abantu besifazane abangabaholi emnyangweni.

Baphikisa ucwaningo ngokwehla kwemishado

$
0
0

Ucwaningo luveze ukuthi lehlile izinga labesifazane abashada umshado omhlophe abamnyama KwaZulu Natal.

|||

ZAMANDOSI CELE

UCWANINGO lakamuva olwenziwe uSolwazi Dori Posel luveze ukuthi iningi labesifazane abaMnyama KwaZulu-Natal aliwutholi umshado nokugcina sekuholele ekutheni bakipite.

USolwazi Posel ugxile ezifundweni zokuthuthukiswa kwesintu enyuvesi yaKwaZulu Natal (UKZN) eThekwini.

Ucwaningo lwakhe luveze ukuthi ingxenye encane kakhulu yasebezifazane baKwaZulu-Natal abamnyama abashadile (ngokwesilungu) kusukela eminyakeni engu-20 kuya kwengu-45.

Lolu cwaningo luphinde lwaveza ukuthi iKwaZulu Natal ihamba phambili ngesibalo sabesifazane abangashadile uma kuqhathaniswa nezinye izifundazwe kuleli nokuthi izinga lokushada esifundazweni lehlile uma kuqhathaniswa nonyaka ka-1995 lapho izinga lemishado lalingu 31% kodwa selehle lafika ku-12% kusukela ngo- 2008.

Ocwaningweni lukaSolwazi Posel kuvele ukuthi ilobolo linomthelela ekutheni abantu bangashadi.

Iqiniso lithi izinga eliphezulu lokungaqashwa kwabantu kunomthelela kulokhu.

Uthe yize izinga lokushada kwabesifazane bama-Afrika nabamhlophe lehlile kusukela u-1995, izinga labesifazane abashadile abamhlophe liphindwa kabili uma liqhathaniswa nama-Afrika.

UMfundisi Sikhumbuzo Goge weBandla lamaLuthela oluleka ngezemishado uthe yize isibalo sabashadayo sehlile KwaZulu- Natal kodwa akakholwa ukuthi ilobolo yimbangela yalokho.

“Ilobolo liyigugu kuma-Afrika yize kukhona imindeni elihlukumezayo leli siko. Bakhona abantu abashadayo imali bengenayo,” kusho uMfundisi Goge.

Uthe kuqala ukushada kwakuyigugu futhi uma abantu bethandana umkhwenyana engenawo amandla, imindeni yayibonisana kutholwe inqubekela phambili uma abantu bezimisele ngokushada.

“Inkinga emishadweni wukuthi akusekho ukuzibophezela kubantu. Abantu sebeziphilela impilo yabo kanti umshado ubandakanya ukuphilisana nokunakekelana. Manje sekuyixoxo umazigxumela,” kusho uGoge.

Uthe iningi labantu esikhathini esiphila kuso bangogombela kwesabo futhi bayahaha nokuthi abafuni ukuphilisana ngoba akekho ofuna ukubika komunye ngakwenzayo.

“Abantu bayatabalasa. Ufuna umuzi, kumele abheke indawo yokwakha, kufanele afundise izingane ngakho ubeka lezimfanelo phambili uma kuqhathaniswa nolunye uhlanga oluzalwe lunamalungelo ngaphambilini,” kubeka uGoge.

Uthe inkolelo yasentshonalanga ethi ilobolo livimba ukushada, waveza ukuthi ngisho nabashadayo kokunye bayahlukana ngoba sinyukile isibalo sabahlukanisayo.

USolwazi Jabulani Maphalala oyisazi kwezamasiko uyishaye indiva eyokuthi isiko lokulobola livimba abantu ukuthi bashade.

Uthe ngabantu abangazi ukuthi lenziwa kanjani leli siko nokuthi laliqhutshwa kanjani phambilini abathi livimba imishado.

“IsiNtu sithi umuntu akathengwa. Abantu abangalazi ilobolo bacabanga ukuthi ukulobola ukuthengisa ngendodakazi. Akungaqanjelwa ilobolo,” kuxwayisa uMaphalala.

Uthe ucwaningo lushaya eceleni ngoba alunalo ulwazi ukuthi isiko lisukaphi nokuthi laliqhutshwa kanjani phambilini.

“Wawugana umuntu omthandayo noma ungenalutho. Indodakazi yayikhuluma nonina imchazele isimo somuntu ethandana naye uma imthanda ukugcagca kuqhubeke,” kusho uMaphalala.

Uthe inkinga ukuthi abagcagcayo abakwazi ukukhuluma nabazali babazise ngesimo salo azoshada naye.

Kuqala indodakazi beyibika kubo ukuthi seyimtholile emthandoyo bese ichaza ukuthi isimo somnotho asisihle.

Uthe akekho umzali onganqabela ingane ukuthi ishade ngoba bangenza inoma yini ukuthi indodakazi iphumelele, ifike lapho umzali akhona.

Uthe abakweshwamayo ukuthi umuntu ahlale ngaphandle kokugcagca kube kungakhulunywa.

“Umuntu umthanda engenamali enjalo nabazali bamthathe njengengane yabo. Akekho umzali ongalahla ingane yakhe. Uzokwenza konke okusemandeleni ukuthi ayijabulise” kusho uSolwazi.

Uthe uthando olubalulekile ngakho umzali angaba nozwelo enganeni yakhe kusebenzelwe phezu kwalokhu umkhwenyana anakho nokuthi akusizo izinkomo ezenza umshado.

Bafuna impendulo abangu-14

$
0
0

Umengameli uzophendula incwadi ayibhalelwe ngabangu-14 abambhalele bemcela ukuthi anike iDalai Lama i-visa.

|||

UMENGAMELI Jacob Zuma uzophendula incwadi ayibhalelwe ngabangu-14 abahlonishwa ngeNobel Peace Prize abambhalele bemcela ukuthi anike iDalai Lama i-visa yaseNingizimu Afrika .

Ngaphandle kwalokho, iHhovisi likaMengameli, kalifunanga ukuphawula ngencwadi, ngokusho komkhulumeli, uMnuz Mac Maharaj.

“Umengameli useyitholile incwadi futhi uzobaphendula ngqo abahlonishwa,” kusho uMaharaj.

I-Agence France-Presse ibike ngoMsombuluko ukuthi kule ncwadi ebhalelwe uZuma ngabahlonishwa beNobel bathe “bakhathazekile kakhulu ngomonakalo ozodaleka endleleni iNingizimu Afrika ebukwa ngayo ngamazwe omhlaba uma yala noma yehluleka futhi ukunika umholi waseTibet i-visa”.

Abasayine le ncwadi kubalwa uLech Waleasa wasePoland, uMuhammad Yunus ongusomabhizinisi ozimele waseBangladesh, ummeli wase-Iran uShirin Ebadi, isishoshovu saseLiberi uLeymah Gbowee nabalwela ukuthula baseNorthern Ireland uDavid Trimble noJohn Hume.

Ekuqaleni kwale nyanga kubikwe ukuthi umholi wangokomoya waseTibet unqatshelwe futhi ukungena eNingizimu Afrika ukuza emcimbini i-14th World Summit of Nobel Peace Laureates.

Ommele eNingizimu Afrika, uNangsa Choedon, uthe izikhulu zomnyango zimfonele ehhovisi zimtshela ukuthi ngeke anikwe ivisa. Akukho okubhalwe phansi abesakutholile okuqinisekisa lokhu.

Ingqungquthela, iDalai Lama efuna ukuza kuyo, eyaminyaka yonke izobe iseCape Town ngenyanga ezayo. –Sapa

Osomatekisi bashiywe nomxazululi

$
0
0

Ufuna kukhishwe izibhamu emarenki amatekisi uNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Willies Mchunu.

|||

BONISWA MOHALE

UFUNA kukhishwe izibhamu emarenki amatekisi uNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu.

Lokhu ukumemezele izolo emhlanganweni obuphakathi kwakhe nosomatekisi baKwaMaphumulo,ushanela, amaphoyisa nenhlangano eyengamele amatekisi i-South African National Taxi Council (Santaco).

Umhlangano uqale sekwedlule isikhathi kanti kuke kwaba nesidididi ngesikhathi kuthiwa kunezinkabi esezifike zadla umsebenzi erenki yaKwaMaphumulo, lezi zinsolo aziqinisekiswanga kodwa amaphoyisa omgwaqo (shanela) aphume ngobuningi bawo eyobheka.

Selokhu kube nomhlangano kuboshwe amatekisi ayisishiyagalombili abesebenza ngaphandle kwezimvume nonogada abathathu okusolakala ukuthi bayathinteka esigamekweni sokudubula sangempelasonto, abatholwe nezibhamu ezintathu nezinhlamvu ezingu-180 ezisahanjiswe ukuba ziyohlolwa.

Ngokusho kukaMchunu akufanele abagibeli bazithole sebeyizisulu zezimpi zosomatekisi abangeni kuzo.

Ubalule ukuthi ngesonto eledlule kudubulane onogada kwalimala abantu abayisikhombisa obekukhona kubo nabagibeli.

“Namhlanje ngifuna siye phambili, ngikhathele wukukhuza abantu abadala abangene ebhizinisini bethi bazokwenza imali kodwa esikhundleni salokho bayabulalana. Ngizothatha izinyathelo ezinqala kodwa ngisazokhuluma noMasipala ophethe amarenki phakathi kwalezo zinyathelo wukuthi kungaphathwa izibhamu. Namhlanje ngifuna usoseshini waKwaMaphumulo uyeke ukuba nezinkampani zonogada eziningi ubumbane, kuhlalwe phansi kuxoxwe,” kusho uMchunu.

Uthe bathole ukuthi kunezinkinga ngaphakathi kusoseshini waKwaMaphumulo osekuholele ekutheni amalungu ahlukane phakathi kube khona abengenhla nabangezansi.

Ushiye umxazululi ebuholini nasemalungwini kasoseshini waKwaMaphumulo okumele babeke kuye izikhalo zabo. Ubalule udaba lokuncishiswa konogada, ukusebenza kwezimoto ezingenazimvume nemali yebhakede.

Uphakamise ukuthi kuzolethwa umcwaningi mabhuku ozobheka ukuthi imali isebenza kahle nokuthi umsebenzi ukhishwa ngendlela yini. Ukhale ngokuthi kososeshini kugcina sekukhona izinkabi.

Uthe uma ethinta indaba yebhakede okungaziwa ukuthi ligcwala uma kunjani, nokuthi imali yakhona ibekwa kuphi amalungu kasoseshini ashaya izandla.

Ube esesayinisa uSihlalo namalungu kasoseshini isivumelwano sokuzibophezela ezingxoxweni nokubeka phansi izibhamu.

UMnuz Boy Zondi onguSihlalo weSantaco KwaZulu-Natal, uthe, bayajabula ukuthi uNgqongqoshe asungule isithangami sokuxazulula izinkinga kusoseshini waKwaMaphumulo futhi ubuholi obukhona bayabazi ngoba uSihlalo nekomidi lakhe bavotelwa okhethweni olwaluqashwe yibo.

Ugqugquzele usoseshini ukuba unakekele abafelokazi okuyibona akade bebonakala bekhathazekile ngodaba lwebhakede.

USihlalo kasoseshini uMnuz Chris Ngiba onguSihlalo kasoseshini, ukhale ngokuthi kunamalungu kasoseshini avukela umbuso wakhe yingakho usoseshini uhlukene.

UMnuz Sphiwe Zulu ongumgcinimafa kusoseshini uthe akanankinga yokuletha iziliphu kulethwe nomcwaningi mabhuku ozoqinisekisa ukuthi imali isebenza kahle.

Abazali baphazamise izivivinyo zika-ANA

$
0
0

Ngesikhathi abafundi abevile ku-6 million bematasa bebhala izivivinyo zamabanga aphansi ozakwabo baseNsizwakazi Primary sekuphele inyanga bebhuquza emakhaya.

|||

MHLENGI SHANGASE

NGESIKHATHI abafundi abevile ku-6 million bematasa bebhala izivivinyo zamabanga aphansi, i-Annual National Assessments (ANA), ozakwabo baseNsizwakazi Primary, eKlaarwater, sekuphele inyanga bebhuquza emakhaya emuva kokuthi abazali bekumise nse ukufunda befuna kuxoshwe uthishanhloko, iphini lakhe nomabhalane.

Bangaphezulu kuka-1.4 million KwaZulu-Natal ababhala izivivinyo ezizophothulwa ngoLwesihlanu.

Izolo abafundi bakwaGrade 3 no-6 babhale iphepha lesiNgisi. Namhlanje abakwaGrade 1, 2, 4, 5 no-9 babhala isiNgisi.

Omunye wothisha ofundisa eNsizwakazi, ocele ukungadalulwa, uthe izivivinyo bekumele ziqale ngo-9 ekuseni sebelungise yonke into kodwa abazali bazivimbile izingane.

“Asiyazi ukuthi inkinga iyoxazululeka kanjani ngoba abazali bebemi kuzona zonke izindlela okuhamba kuzo abafundi. Kuze kwashaya u-11 bekhona abafundi baze baphindela emakhaya. Bese silungise yonke into kukhona namaphepha okubhala kodwa lutho ukubhala. Sihlalile sabukana nje saze sagcina ngokuhamba. Njengoba nakusasa (namhlanje) kubhalwa nje mancane amathuba okuthi kuzobhalwa lonke leli sonto,” usho kanje.

Kwezinye izikole, okubalwa kuzo iCato Crest Primary, eCato Manor, ukubhala bekuqhubeka ngendlela. Abafundi bathole iphepha kusasele imizuzu engu-15 ngaphambi kokuba kubhalwe ukuze bachazelwe kuthi kushaya u-9 babe beqala bebhala.

Phambilini okhulumela umnyango wezemfundo esifundazweni, uMnuz Muzi Mahlambi, wathi bayisukumele indaba yaseNsizwakazi.

Okhulumela umnyango weMfundo eyisiSekelo, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe izivivinyo zaminyaka yonke zihlola ulwazi lwabafundi kwi-Maths nasesiNgisini kusuka kwaGrade 1 kuya kwaGrade 9.

Uthe inhloso yazo ukubheka ukuthi lokhu okufundwayo abafundi bayakuqonda wathi nabazali kumele bazisize izingane ngalesi sikhathi.

“Abazali abeseke izingane zabo ngalesi sikhathi bazibuze izingane ukuthi zibhale kanjani.

Ngalezi zivivinyo uNgqongqoshe wezeMfundo, uNkk Angie Motshekga, ufuna ukubona inselelo ebhekene nabafundi ukuze kuqhanyukwe nezindlela zokuyixazulula,” usho kanje.

Uthe izivivinyo zibhalwa ngazo zonke izilimi ezisemthethweni ezingu-11.

“Imiphumela yabafundi ikhombisa ukukhula kokuqonda kwabo i-maths nezilimi njengoba sifuna kulo nyaka ukuthi abafundi abangu-60% baphase ngendlela egculisayo.

Sazishintsha lezi zivivinyo sazibhalisa ngasekupheleni konyaka ngenxa yezinkinga ezazikhona.

ngesikhathi siqala ukuzibhalisa zazibhalwa ngoFebhuwari.

Enye yezinkinga kwakuwukuphazamiseka kokuqala ukufunda uma kusanda kuqala unyaka ngenxa yomthwalo owawusemahlombe abasebenzi ababelungiselela izivivinyo,” usho kanje.

Usafuna izimpendulo ngo‘mbulale’ ephila

$
0
0

Useyalelwe ukuthi avule icala lenkohlakalo owesilisa owavalelwa impesheni yokugula ngoba kuthiwa washonela eMgungundlovu.

|||

ZANELE MSOMI

USEYALELWE ukuthi avule icala lenkohlakalo owesilisa owavalelwa impesheni yokugula ngoJuni ngoba kuthiwa washonela eMgungundlovu, osekutholakele imininingwane yowenze ubugebengu. UMnuz Kwazikwakhe Langa (42), Isolezwe elibike ngaye ngenyanga edlule, kuleli sonto unikezwe incwadi yesiqiniseko sokuthi usadla anhlamvana, washayelwa nomazisi omusha. Lokhu kwenzeke emuva kokungenelela kwezikhulu zoMnyango wezaseKhaya.

Yize uLanga esekhululekile ngokubhalwa kabusha emagameni abaphilayo, uthi ngeke aphumule engalitholanga iqiniso.

“Ngisenemibuzo eminingi ukuthi lo muntu owenze lokhu wayengisuka ngani. Banginikezile igama nesibongo sakhe njengoba kuthiwa konke kwenziwa eMgungundlovu. Bahlulekile wukuthola ukuthi kuthiwa ngafa kanjani futhi nesitifiketi sokufa sisasele ngakuyena,” kuchaza yena.

ULanga owaqala ukuhola impesheni yokugula ngo-2008, wahlangana nale mbibizane eyohola wathola ukuthi usecishiwe. Kumanje uthi ikati lilele eziko njengoba kuvalwe impesheni ekubeni engasebenzi. Uthe isimo sakhe sokugula asimvumeli ukuthi aqashwe ngokugcwele kodwa angabamba amatoho angagqilazi.

Wathola emahhovisi akwaSouth African Social Security Agency (Sassa) ekuqaleni kuka-Agasti ukuthi akasekho kumakhompyutha. Wadluliselwa nasemahhovisi oMnyango wezaseKhaya wathola isiqiniseko sokuthi ‘akasekho kwabaphilayo’. Uthe emndenini usele nodadewabo futhi akekho amsola ngalobu bugebengu. AboMnyango wezaseKhaya bamenzele incwadi ekhombisa ukuthi uyaphila ukuze akwazi ukuyoqala phansi impilo.

Uthe udidekile njengoba abanye bethi kumele avule icala abanye bethi kumele livulwe uhulumeni ngoba inkinga yenzeke emnyangweni.

UNksz Nosipho Shandu oyiMenenja yoMnyango KwaZulu-Natal uthe uLanga okumele avule icala.

“Ngeke kube uhulumeni ngoba ubugebengu abenziwanga umuntu osebenza emnyangweni. Uma eselivulile, uMnyango ungalilandela uthole iqiniso ngalolu daba njengokwesifiso sakhe,” usho kanje.

UMnuz Mbizeni Mdlalose okhulumela abakwaSassa uthe uLanga akudingi alinde umazisi ukuze kuvulwe impesheni. Uthe kuzomele ayohlolwa wudokotela wabo emahhovisi aseMbumbulu ukuthi usakulungele yini ukuhola bese iyavulwa esalinde umazisi.

Utholwe elenga obulale intombi enqabe ukukipita

$
0
0

Kusolwa ukuthi wazibulala ngokuzilengisa emuva kokuba ebulele intombi yakhe owesilisa obengunogada enkampanini iMbube.

|||

NOKUBONGWA PHENYANE

KUSOLWA ukuthi wazibulala ngokuzilengisa ngesonto elidlule emuva kokuba ebulele intombi yakhe owesilisa obengunogada enkampanini iMbube.

Isidumbu sikaMnuz Nkosinathi Nene (40) sitholwe ngumuntu obeyozikhulula ehlathini elingasesikoleni iVryheid Comprehensive silenga sesiqala ukonakala ngoMsombuluko ntambama.

UNikeziwe Mkhize (25), ushonele esibhedlela eVryheid ngemuva kokugwazwa entanyeni kanti kuthiwa babebanga indaba yokuhlala ndawonye.

Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba lithe owesilisa othole isidumbu sikaNene uthe ube esetshela umqashi wakhe emuva kokubona isidumbu kwathintwa amaphoyisa.

“Bese zikhona izimpawu zokuthi uyonakala nokucacayo ukuthi waqeda ukugwaza intombi yakhe naye wahamba wayozilengisa kuleli hlathi.

Umndeni wakhe ubuke wafika esiteshini uzobika ukuthi kukhona ucingo lwakhe olungatholakali abasola ukuthi uhambe nalo bacela sibheke lona ukuthi lukuphi,” kusho iphoyisa.

Lithe ngemuva kwalokho baqale ukumthungatha.

“Ucingo siluthole emaphaketheni akhe umufi. Umndeni wakhe ubusulindele noma yini njengoba beshilo nabo ukuthi ubebabikela ngezinkinga ezikhona phakathi kwakhe nesinqandamathe sakhe,” kuchaza iphoyisa.

Liphinde lathi baphinde bathola ukuthi umufi ubenqaba ukwaliwa njengoba uNksz Mkhize ubesemalile kodwa eqhubeka nokufika emqashweni wakhe.

“Odadewabo bakaNene bayasho ukuthi bezikhona izinkinga phakathi kwalezi zithandani futhi uNene ubehlala ebatshela ngazo kodwa bebengakulindele ukuthi kungaze kuphume izidumbu zabo bobabili,” kuchaza yena.

Udadewabo kaNksz Mkhize, uNksz Tshengi Mkhize uthe kubajabulisile ukuzwa ukuthi umsolwa utholakele eseshonile ngoba ukuya kwakhe ejele bekuzokwenza bangakutholi ukuphumula ngenxa yokuthi ngelinye ilanga ubeyobuye aphume.

“Ingane yakithi ifile naye kwenzeke kahle wazibulala ngoba ijele belingamfanele. Abazali bami baphatheke kabi ngale nto eyenzekile futhi kusekude ukuthi bakhohlwe yiyo,” kusho uNksz Mkhize.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane uthe bayapheya ngokutholakala kwesidumbu sowesilisa.


Yehlulekile imizamo ye-DA ngoSomlomo

$
0
0

Iphenduke isekisi ePhalamende inkulumompikiswano ekhethekile ebimayelana nokuthi simfanele yini isikhundla sakhe uSomlomo.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

IPHENDUKE isekisi ePhalamende inkulumompikiswano ekhethekile ebimayelana nokuthi simfanele yini isikhundla sakhe uSomlomo uNkk Baleka Mbete njengoba amanye amaqembu aphikisayo azwakalise ukungabethembi ubuholi bakhe efuna asuswe esikhundleni.

Amaqembu i-EFF, DA, Cope, FF Plus ne-UDM aphakamise ukuthi uNkk Mbete asuswe kulesi sikhundla emsola ngokuchema neqembu elibusayo anguSihlalo kulo. Lamaqembu agcine ngokuduba aphuma kungakavutwa izolo ebusuku. Ivoti ligcine liwadle ngamavoti angu 234 kwangekho (0).

Akhona amaqembu aphikisayo angahambisananga nalesi siphakamiso. I-IFP neNFP baseke i-ANC bathi ngeke bavume ukuthi uNkk Mbete asuswe esikhundleni.

UMnuz Musi Mmaimane ongumholi weDA ePhalamende uthe uNkk Mbete uvikela iqembu lakhe ngoba enguSihlalo walo.

“Uvikela konke okuthinta umengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma ngoba engumengameli wakhe. Lokhu kwenza singakhulumi ngokukhululeka ngezinto esifuna zikhulunywe ePhalamende,” kusho uMaimane.

UNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle kuzwelonke uNkk Nomvula Monkonyane uthe amaqembu aphikisayo akukho okuhle akuncomayo okwenziwa yi-ANC

Uze wasebenzisa isisho sesiZulu esithi ‘(inja) ikhonkotha ehambayo’ nesisuse umsindo njengoba kuke kwaba khona abafuna awahoxise la mazwi abawathathe njengahlambalazayo.

Kuze kwasiza ukuthi kungenelele abanye obekukhona kubo neNkosi uMandla Zwelivelile Mandela othe lokhu okushiwo nguNkk Monkonyane akuhlambalazi muntu, akudingi ukutolikwa.

UMntwana wakaPhindangene uDkt Mangosuthu Buthelezi uthe i-IFP ayivumelani nesinqumo sokuthi kwehliswe uNkk Mbete esikhundleni wagxeka amalungu ephalamende ngokungalawuleki.

UNkk Zanele KaMagwaza-Msibi naye uhambe emazwini kaShenge wathi ukuziphatha kwamalungu ePhalamende kukhombisa ukuthi awawuthobeli umthetho.

Uthe kusamele ahambe ayofunda imithetho yePhalamende njengoba kukhombisa ukuthi awayilandeli.

UNkk Khanyisile Litchfield-Tshabalala we-EFF uthe ukuthatha uhlangothi olulodwa kukaNkk Mbete ezinqumeni zakhe kwenza ukuthi kube nokungezwani ePhalamende uma kukhona izinkulumo mpikiswano.

Umholi we-UDM uJenene Bantu Holomisa uthe bethanda bengathandi uNkk Mbete uzophuma ePhalamende.

UMnuz Mosiuoa Lekota umholi weCope yena uthe uNkk Mbete uyehluleka ukwenza umsebenzi wakhe, akakulungele ukuba kulesi sikhundla ngoba uchemile neqembu elibusayo.

Umengameli we-EFF uMnuz Julius Malema uphinde watshelwa emehlweni nguNkk Bertha Peace Mabe (we-ANC) ukuthi akayilutho uyihlazo ngisho emndenini wakhe.

Uphinde wakhwela wadilika kuMaimane wathi iqembu lakhe lizomlahlisa okwamafinyila njengoba lenzile kuNksz Lindiwe Mazibuko.

UNgqongqoshe Fikile Mbalula ukhwele wadilika kwi-EFF ethi ayikho indaba yayo ngaphandle kokuzwakala emisakazweni iqoshiwe ngenxa yezinkulumo ezenzayo.

UMfu Kenneth Meshoe ohola i-ACDP, uqhamuke seliyoshona naye washayela isipikili sokugcina sokuthi uNkk Mbete akasuswe.

USihlalo wale nkulumo mpikiswano uMnuz Cedric Frolick othathe izintambo kwiPhini likaSomlomo uMnuz Richard Baloyi, ubelokhu ebaqondise njalo izigwegwe njengoba izikhulumi eziningi ziphume emgqeni.

Kuhlukene imibono ngeGenerations kuTwitter

$
0
0

Udaba lweGenerations sekuphele inyanga ingaxazululeki selokhu kwaxoshwa abalingisi abawu-16 bekhala ngamaholo.

|||

udaba lweGenerations sekuphele inyanga ingaxazululeki selokhu kwaxoshwa abalingisi abawu-16 bekhala ngamaholo.

Ukungazimiseli komsunguli womdlalo, uMfundi Vundla, ukubuyisa abalingisi sekwenze kwangenelela izinhlaka ezehlukene.

Ngisho nomfelandawonye wezinyunyana iCosatu ingenelele kule mizamo, kwaze kwathi uNobhala Jikelele wayo, uZwelinzima Vavi (@Zwelinzima1) wanxusa ababukeli ukuba bazwelane nabalingisi ngokuthi kuleli sonto bashintshe isiteshi uma sekudlala iGenerations, ngo-8 ebusuku.

NgoMsombuluko emini iCosatu ihlangene nabalingisi baba nesithangami nabezindaba lapho bebegcizelela khona lo mkhankaso.

Ngo-8 ebusuku ngoMsombuluko kuTwitter kuhlukane imibono abanye bethi bayahambisana nomkhankaso kepha abanye bethi ngeke batshelwe muntu ngama-TV abo ngoba akekho obakhokhisa amalayisensi. Abanye bathe uVavi udlala ngababukeli uma efuna kuzwelwanwe nabantu okuthiwa bahola o-R50 000 kube kukhona ababuka iGenerations abahola ngaphansi kuka-R5 000.

HEdagyhe tevefge eg egevgege

$
0
0

NONHLANHLA MKHABELA

|||

NONHLANHLA MKHABELA

ATHEMBISA ukugila izimanga amakhwaya amabili ayomela iKwaZulu-Natal emncintiswaneni obulokhu ujikeleza leli obizwa ngeMelting Pot ozoba seKurhuleni ngenyanga ezayo.

I-African Chorus neSA Singers baqhathwe namakhwaya ayisishiyagalombili kulo mncintiswano ozoba ngo-Okthoba 18-19 eCarnival City, eBrakpan, nalapho kuzobe kubangwa khona isiteki sika-R500 000.

Umbhidi we-African Chorus okungeyaseMlazi, uMongi Mzobe, uthe akakungabazi ukuthi njengoba kuhamba lawa makhwaya amabili umklomelo uzoza eKZN.

“Kuhamba izingqungqulu zangempela, amakhwaya akwezinye izifundazwe awavele akhohlwe ngoba sibuya nawo lapha eKZN lo mklomelo. Uma ungathathwanga yithina nakanjani uzothathwa yiSA Singers,” kusho uMzobe.

Uthe iClermont Community Choir eyawina ngonyaka owedlule isivele ibacabele indlela ngakho nabo bazoqhubeka ngalolo nyawo.

“Ozakwethu-ke bayazi ukuthi uma ngenza isethembiso salolu hlobo ngisuke ngingadlali, ngiyasifeza. Ikhwaya isebenza kanzima ukuzilolonga futhi ngiyabona isikulungele ukuhamba,” kusho uMzobe ngokukhulu ukuzethemba.

Amanye amakhwaya asemncintiswaneni yiBagale Chorus yaseNorth West, Zwelitsha Adult Choir neTransnet Port Terminals base-Eastern Cape, Heavenly Voices yaseWestern Cape, Gauteng Choristers neKopano Chorus baseGauteng, Belcanto Voices neThabong Serenade baseFree State.

Abaculi abazonandisa emcimbini ngumzwilili uSibongile Khumalo, Jaziel Brothers, Solly Mahlangu, Zakes Bantwini, Afro Tenors, Ingrandi Tenori, Njabulo Madlala, KZN Philharmonic Orchestra nabanye abazobe beshiyelana inkundla nosomahlaya uCeleste Ntuli.

Kuzophinde kube khona namakhwaya akwamanye amazwe azobe evakashile okuyiSerumula Performing Arts Academy yaseLesotho, His Majesty Correctional Services yaseSwazini neMaseno University Choir yaseKenya.

Lo mcintiswano ohlose ukuhlonipha iqhaza elabanjwa yingqalabutho yezepolitiki u-Oliver Tambo emculweni wamkhwaya wenziwe ngaphansi kwesiqubulo esithi A Tribute to OR Tambo.

Umcimbi uqala ngo-9 ekuseni ngazo zombili izinsuku kanti amathikithi aseyatholakala eComputicket ngo-R350.

Izulu lidunge imbizo kaZuma

$
0
0

Kudingeke ukuthi bamiswe abantu abebesabuza imibuzo kumengameli ukuze ongqongqoshe nezikhulu zisheshe ziphendule ngoba izulu belihloma

|||

MHLENGI SHANGASE noNONTUTHUKO NGUBANE

UKUHLOMA kwezulu kudunge imbizo kaMengameli Jacob Zuma njengoba kudingeke ukuthi isheshe isongwe ukuze abantu bahambe lingakani.

Le mbizo bekungeyokuqala ngemuva kokhetho. Kudingeke ukuthi bamiswe abantu abebesabuza imibuzo kumengameli ukuze ongqongqoshe nezikhulu zisheshe ziphendule ngoba izulu belihloma

UNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli, uMnuz Jeff Radebe, unxuse ukuthi abebekhuluma bame ngenxa yokuthi izulu beselihlomile.

“Siyacela ukuthi nime ukubuza sidedele iMeya nezinye izikhulu zikahulumeni ukuze ziphendule izulu lingakani. Izikhalo zenu zizophendulwa njengoba kukhona abazibhale phansi,” usho kanje.

Le mbizo ibiseDurban University of Technology eNdumiso eMbali, eMgungundlovu, izolo.

Abantu bakhale kakhulu ngokungahlinzekwa ngezidingo lapho behlala khona kanti abanye bebeze bathi abasasiboni isidingo sokuvote.

UNksz Busisiwe Buthelezi wase”France” ukhale ngamanzi athe ababhidlizela izindlu ngoba angena ezindlini.

“Sesibike saze sakhathala kodwa asilutholi usizo. Siyacela mengameli ukuthi usisize ngoba asazi sekumele senze njani,” usho kanje.

UNkk Ntombizodwa Ntuli ukhale ngokuthi namanje basasebenzisa amabhakede uma kumele bazikhulule.

Uthe amanzi nogesi abanakho, intuthuko bayizwa ngendaba kodwa bahlala ngaphansi komkhandlu waseMsunduzi.

Omunye waseWeenen ukhale ngenkinga yamanzi wathi nemihlangano ayibizwa ukuze bazochazelwa ngokwenzekayo.

Ngesikhathi kufika uZuma bekukhona abebephethe amabhodi abekhala ngokukhokhelwa u-R90 nokuba yitoho emkhandlwini waseMsunduzi.

IMeya yaseMsunduzi, uMnuz Chris Ndlela ithe ikhansela kumele libize umhlangano okungenani ezinyangeni ezintathu.

Ithe ezinye zezinkinga ezibikiwe njengaseSobantu bayazilungisa yathembisa ukuthi zizokwakhiwa izindlu.

UNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kwendle, uNkk Nomvula Mokonyane, uthe abantu abangasebenzi asikho isidingo sokuthi bakhokhele izinsiza ezifana namanzi.

Uthe ezindaweni ezishoda ngamanzi kuzoqhutshekwa nokulethwa kwezimoto zamanzi kuze kube unyaka ozayo.

Ungqongqoshe wezeNhlalakahle yoMphakathi, uNkk Bathabile Dlamini, uthe bahlela ukuyiqeda indaba yokuthi ogogo babanjelwe imali yomasingcwabisane abaningi ekubeni benempilo eyodwa.

“Uma kumele kushintshwe umthetho kumele kwenziwe ukuze iphele le ndaba yokuthi ogogo babanjelwe inqwaba yomasingcwabisane ekubeni benempilo eyodwa. Nendaba yokubanjwa kwemali kagesi, imali yomashonisa nemali yasezitolo yinto esiphezu kwayo, siyayilungisa,” kusho uNkk Dlamini.

UZuma ubonge abantu ngokuphuma ngobuningi babo bazobika izikhalo zabo wathi le mbizo akuyona eyokugcina kodwa basazobuya bezolungisa izikhalo zomphakathi.

“Sakha lolu hlelo ukuze abantu bakwazi ukuxhumana nohulumeni yingakho siza kunina sizozwa enikhala ngakho. Akuyona imbizo yokugcina le, sizobuya nezimpendulo,” kusho uZuma.

I-DA ithi ayinamona ngabakwaMpisane

$
0
0

IDEMOCRATIC Alliance (DA), ithi kayinamona ngosomabhizinisi baseThekwini abathola amathenda kuMasipala weTheku kodwa inezinsolo eziqinile zokuthi akulandelwa imigudu efanele ngobagixabeza.

|||

ZANELE MSOMI

IQEMBU eliphikisayo iDemocratic Alliance (DA), lithi kalinamona ngosomabhizinisi baseThekwini abathola amathenda kuMasipala weTheku kodwa linezinsolo eziqinile zokuthi akulandelwa imigudu efanele.

Usho kanje uMnuz Zwakele Mncwango onguMholi weKhokhasi yeDA kuMasipala weTheku emuva kokuthi ihhovisi loMvikeli woMphakathi u-Advocate Thuli Madonsela seliqale uphenyo.

Ngokwezikhalo ze-DA, iZikhulise Cleaning, Maintenance and Transport kaMnuz Sbu Mpisane nomkakhe uShawn, iyona ehlomule ngokungafanele.

UMncwango uvumile ukuthi ubhalele ihhovisi likaMadonsela ngoba sebezame bahluleka ukuthola ukucaciselwa ngokunikezwa kwamathenda enkampanini yakwaMpisane.

“Angizange ngivele ngibhalele uMadonsela kodwa ngaqala ngenhloko yeSupply Chain neMenenja yeTheku. Bengibuza ukuthi kungani abakwaMpisane bethole amathenda amakhulu futhi kungalandelwa imigudu efanele. Angizange ngithole mpendulo kodwa i-ANC ibilokhu iwuvikela lo mndeni,” kusho yena.

Uthe banezinsolo eziqinile zokuthi kunobudlelwano benkohlakalo phakathi kwabakwaMpisane noMasipala. Uthe kulo nyaka abakwaMpisane bathole amathenda angaphezu kuR300 million.

“Inkinga wonke awokwakha izindlu kanti izindlu azingeni ngaphansi komthetho ka-Section 36. Izindlu zinebhajethi yazo okungadingeki zifakwe kulesi sigaba ngoba aziphuthumi,” echaza.

Uveze ukuthi usehlangane kathathu nehhovisi lika-Adv Madonsela kudingidwa lolu daba, wathola nolunye ulwazi abengenalo olwavela embikweni kaManase.

Ihhovisi lika-Adv Madonsela lizophenya ngokukhishwa kwamathenda kusukela ku-2004.

Ekhuluma neDaily News, uSithole uvumile ukuthi baxhumene noMadonsela kodwa wakuqinisekisa ukuthi selokhu engene esikhundleni bayiqinisile imithetho. NgoJulayi nonyaka embikwe-ni wanyanga zonke kumasipala kuvele ukuthi abakwaMpisane bathole uR405 million wokwakha izindlu eziwu-3 350 zabahola kancane eMlazi.

Nyakenye banikezwa uR15.3 million wokwakha eziwu-74 ezadilizwa emuva kokwakhiwa ngo-2010 KwaMashu. Phakathi kukaJulayi 2012 noMashi 2013 iZikhulise kuthiwa yahlomula uR455 million wamathenda kumasipala.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>