Ucwaningo luveze ukuthi lehlile izinga labesifazane abashada umshado omhlophe abamnyama KwaZulu Natal.
|||
ZAMANDOSI CELE
UCWANINGO lakamuva olwenziwe uSolwazi Dori Posel luveze ukuthi iningi labesifazane abaMnyama KwaZulu-Natal aliwutholi umshado nokugcina sekuholele ekutheni bakipite.
USolwazi Posel ugxile ezifundweni zokuthuthukiswa kwesintu enyuvesi yaKwaZulu Natal (UKZN) eThekwini.
Ucwaningo lwakhe luveze ukuthi ingxenye encane kakhulu yasebezifazane baKwaZulu-Natal abamnyama abashadile (ngokwesilungu) kusukela eminyakeni engu-20 kuya kwengu-45.
Lolu cwaningo luphinde lwaveza ukuthi iKwaZulu Natal ihamba phambili ngesibalo sabesifazane abangashadile uma kuqhathaniswa nezinye izifundazwe kuleli nokuthi izinga lokushada esifundazweni lehlile uma kuqhathaniswa nonyaka ka-1995 lapho izinga lemishado lalingu 31% kodwa selehle lafika ku-12% kusukela ngo- 2008.
Ocwaningweni lukaSolwazi Posel kuvele ukuthi ilobolo linomthelela ekutheni abantu bangashadi.
Iqiniso lithi izinga eliphezulu lokungaqashwa kwabantu kunomthelela kulokhu.
Uthe yize izinga lokushada kwabesifazane bama-Afrika nabamhlophe lehlile kusukela u-1995, izinga labesifazane abashadile abamhlophe liphindwa kabili uma liqhathaniswa nama-Afrika.
UMfundisi Sikhumbuzo Goge weBandla lamaLuthela oluleka ngezemishado uthe yize isibalo sabashadayo sehlile KwaZulu- Natal kodwa akakholwa ukuthi ilobolo yimbangela yalokho.
“Ilobolo liyigugu kuma-Afrika yize kukhona imindeni elihlukumezayo leli siko. Bakhona abantu abashadayo imali bengenayo,” kusho uMfundisi Goge.
Uthe kuqala ukushada kwakuyigugu futhi uma abantu bethandana umkhwenyana engenawo amandla, imindeni yayibonisana kutholwe inqubekela phambili uma abantu bezimisele ngokushada.
“Inkinga emishadweni wukuthi akusekho ukuzibophezela kubantu. Abantu sebeziphilela impilo yabo kanti umshado ubandakanya ukuphilisana nokunakekelana. Manje sekuyixoxo umazigxumela,” kusho uGoge.
Uthe iningi labantu esikhathini esiphila kuso bangogombela kwesabo futhi bayahaha nokuthi abafuni ukuphilisana ngoba akekho ofuna ukubika komunye ngakwenzayo.
“Abantu bayatabalasa. Ufuna umuzi, kumele abheke indawo yokwakha, kufanele afundise izingane ngakho ubeka lezimfanelo phambili uma kuqhathaniswa nolunye uhlanga oluzalwe lunamalungelo ngaphambilini,” kubeka uGoge.
Uthe inkolelo yasentshonalanga ethi ilobolo livimba ukushada, waveza ukuthi ngisho nabashadayo kokunye bayahlukana ngoba sinyukile isibalo sabahlukanisayo.
USolwazi Jabulani Maphalala oyisazi kwezamasiko uyishaye indiva eyokuthi isiko lokulobola livimba abantu ukuthi bashade.
Uthe ngabantu abangazi ukuthi lenziwa kanjani leli siko nokuthi laliqhutshwa kanjani phambilini abathi livimba imishado.
“IsiNtu sithi umuntu akathengwa. Abantu abangalazi ilobolo bacabanga ukuthi ukulobola ukuthengisa ngendodakazi. Akungaqanjelwa ilobolo,” kuxwayisa uMaphalala.
Uthe ucwaningo lushaya eceleni ngoba alunalo ulwazi ukuthi isiko lisukaphi nokuthi laliqhutshwa kanjani phambilini.
“Wawugana umuntu omthandayo noma ungenalutho. Indodakazi yayikhuluma nonina imchazele isimo somuntu ethandana naye uma imthanda ukugcagca kuqhubeke,” kusho uMaphalala.
Uthe inkinga ukuthi abagcagcayo abakwazi ukukhuluma nabazali babazise ngesimo salo azoshada naye.
Kuqala indodakazi beyibika kubo ukuthi seyimtholile emthandoyo bese ichaza ukuthi isimo somnotho asisihle.
Uthe akekho umzali onganqabela ingane ukuthi ishade ngoba bangenza inoma yini ukuthi indodakazi iphumelele, ifike lapho umzali akhona.
Uthe abakweshwamayo ukuthi umuntu ahlale ngaphandle kokugcagca kube kungakhulunywa.
“Umuntu umthanda engenamali enjalo nabazali bamthathe njengengane yabo. Akekho umzali ongalahla ingane yakhe. Uzokwenza konke okusemandeleni ukuthi ayijabulise” kusho uSolwazi.
Uthe uthando olubalulekile ngakho umzali angaba nozwelo enganeni yakhe kusebenzelwe phezu kwalokhu umkhwenyana anakho nokuthi akusizo izinkomo ezenza umshado.