Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Bahlukene phakathi ngodaba loNyazi

$
0
0

Ubuholi bebandla lamaNazaretha eBuhleni, buyaziqhelelanisa nokuqoqwa kwemali ehostela iSeventini, eMlazi.

|||

ZANELE MSOMI

UBUHOLI bebandla lamaNazaretha eBuhleni, buyaziqhelelanisa nokuqoqwa kwemali ehostela iSeventini, eMlazi okuthiwa eyokuthengela inkosi uMduduzi “Nyazi LweZulu” Shembe inkomo, ozovakashela eMangosuthu University of Technology ngeSonto.

Yize ubuholi buvuma ukuthi uNyazi luyovakashela abafundi, kodwa buthi kuyihlazo ukusetshenziswa kwegama lwalo ukufeza izinhloso ezingaziwa.

Kuthiwa sebehlukene phakathi abasehostela ngokukhokhiswa ngenkani imali okuthiwa ngeyokuthengela uNyazi inkomo. Sekusolwa nenhlese yepolitiki ngoba kuthiwa abaqale lo mkhuba yiqembu lepolitiki.

UMnuz Mbuso Mkhonza ohlala ehostela, uthe kuyenzeka kuqoqwe imali uma kuzofika umholi othize weqembu kodwa kukhokha kuphela abalelo qembu. Uthe kuyabaxaka lokhu ngoba abahlangene nebandla lakwaShembe futhi inkosi izobe ingezile ngisho ehostela.

Uveze ukuthi kuqalwe ngesonto eledlule ukuqoqwa imali athi ihlukana ngokwezigceme.

“Ngizwe sengibuzwa ngomunye ukuthi sengiyikhokhile yini imali yoNyazi, ngamangala. Kwezinye izigceme bakhokhiswa u-R15 umuntu ngamunye abanye u-R60 indlu. Imali iqoqwa yizibonda futhi iyimpoqo,” kusho yena.

UMkhonza othe akakayikhokhi imali, uthe akasiboni isidingo ngoba akahlangene nokufika kukaShembe. Uthe kukhona asebekhokhile kodwa bekhononda ngoba bephoqiwe.

“Likhona ithempeli lamaNazaretha ehostela, ukube ngabasonta khona abaphakamise indaba yemali ngabe ngiyezwa. Manje kusuka abantu bepolitiki bakhuthuza abantu,” usho kanje.

Kuthintwa uMnuz Mbongeni Mjadu ongomunye wezibonda ehostela, uthe ngeke akhulume okuningi ngoba abangeneme bekumele baxhumane nezinhlaka ezifanele.

“Kube nezizathu ezenze kuqhamuke lesi siphakamiso kodwa ngeke ngikwazi ukuziveza ngoba wudaba lomphakathi lolu,” kugoqa yena.

UMfu Abraham Hlatshwayo waseBuhleni, uthe uNyazi lwacelwa ngabafundi ukuthi luzonyathela esikhungweni ukuze kube nokuthula.

“Abafundi bakhale ngokuthi sekujwayele iziteleka futhi bafuna uNyazi lubathandazele njengoba sekuzobhalwa. Kuyihlazo okokukhokhiswa kwabantu ngegama loNyazi ngoba luze kubafundi ngesihle. Umnikelo usuka othandweni akumele abantu banqunyelwe futhi uNyazi aluzanga ukuzodla nkomo eMangosuthu,” kusho uHlatshwayo.


Baxakekile ngomzukulu onyamalele

$
0
0

Ukhungathekile umndeni wakwaNyawose kwa-M, eMlazi ngemuva kokulahlekelwa yindodakazi yawo.

|||

MLUNGISI GUMEDE

UKHUNGATHEKILE umndeni wakwaNyawose kwa-M, eMlazi ngemuva kokulahlekelwa yindodakazi yawo eneminyaka engu-14 osekuphele isonto ingaziwa ukuthi ikuphi.

ULondeka “Tsilitso” Nyawose (osesithombeni) ofunda uGrade 8, eQhilika High khona kwa-M, ugcine ukubonakala kubo ngoLwesibili olwedlule ephuma esikoleni.

Kuthiwa wafika ekhaya ugogo wakhe wathi akawashe izingubo zakhe zesikole nezinye, waziwasha wangaqeda wabe eseyoxoxa nabangani bakhe.

Uninakhulu, uNkk Makhosazane Nkomo, uthe walunguza ngewindi wambona ukuthi akasawashi waya kuyena wafika wamshaya ngesicathulo ekhanda.

“Ngamshaya kanye ekhanda futhi wazihlekela ngalindela ukuthi uzoqhubeka nokuwasha ngahamba ngaya endlini kodwa akazange angilandele. Ngagcina ukumbona ngemuva kokuthi ngimshayile ngiyacabanga ukuthi wadinwa wukuthi ngimshayile yingakho ehambile ekhaya,” usho kanje.

UNkk Nkomo uthe abusafiki ngisho ubuthongo ebusuku ngemuva kokunyamalala komzukulu wakhe.

“Into engiphatha kabi kakhulu wukuthi yingane yentombazane lena akulula ukuhlala ungazi ukuthi ingane ikuphi, yize phela izingane ezino-14, sezaqoma kodwa ngeke sazi, iyinkinga le nto yezingane zanamuhla ngoba azisafuni ukusolwa uma zenze iphutha,” usho kanje.

Uthe sebebhekile kuzo zonke izihlobo zabo, nazo ziyamlandula uTsilitso.

“Nasesikoleni ngiyile bathi bagcina ukumbona ngesonto eledlule okuwusuku nathi esamgcina ngalo,” usho kanje.

UNkk Nkomo uthe bawabikele amaphoyisa akwa-GG, eMlazi ngokunyamalala komzukulu.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Thulani Zwane uthe udaba lokuduka kwengane lubikiwe ngabazali bengane ngoLwesihlanu olwedlule kwathiwa ababuye nesithombe sayo, bebengakakwenzi lokho.

Uthwele kanzima ongenelwa izimoto

$
0
0

Uphila kanzima umndeni wakwaBhengu ngenxa yezimoto eziphaphalaza emgwaqweni omkhulu zizogamanxa emzini wawo.

|||

ZAMANDOSI CELE

UPHILA kanzima umndeni wakwaBhengu kwa-G eNtuzuma ngenxa yezimoto eziphaphalaza emgwaqweni omkhulu zizogamanxa emzini wawo okuyinto abathi isinesikhathi eside yenzeka.

Umnikazi womuzi uNkk Fikile Bhengu (63), uthe esikhathini esiningi abashayeli abaphaphalaza bashayise umuzi wakhe bagcina ngokubaleka.

Uthe kusukela kuqala unyaka sekube nezigameko ezinhlanu lapho izimoto ziphaphalaza zingene emzini wakhe, ubonga khona nje ukuthi akukaze kulimale muntu.

UNkk Bhengu othi baqale ukuhlala kulo muzi ngo-1987 uthe sebelala obenyoni ngenxa yokwesaba.

“Asisalali uma sizwa umsindo ongajwayelekile wemoto, siyaphuma siye ngemuva kwendlu,” kuzikhalela uNkk Bhengu.

Uthe lesi simo sesiholele ekutheni alale komakhelwane nezingane zakhe ezimbili njalo ngezimpelasonto futhi nezingane azisakwazi ukudlala egcekeni lakwakhe ngenxa yokwesaba.

Utshele Isolezwe ukuthi kwake kwaphaphalaza imoto isuka emgwaqweni yangena yashaya uveranda wakhe wavuka phansi.

Uthe unqenqema olwafakwa umasipala lokuvimba izimoto ukuthi zingaphaphalazi nalo selwaze lwashayiswa izimoto zidlula kulo.

“Kwesinye isigameko kwabe kusekuseni ngeSonto ngezwa sekuduma izulu.

Ngathi ngiphuma abantu abashayise unqenqema oluvimbe izimoto base beyidudula imoto eshayisile maqede babaleka ngayo,” kuchaza uNkk Bhengu.

Uthe uyawabikela amaphoyisa uma kwenzeke ingozi kodwa afika kube sengathi kukhona azokwenza ukulandela leyo moto edale ingozi kodwa kuphele kanjalo.

Uphinde wathi yize elazisa ikhansela ngenkinga abhekene nayo kodwa alikaze lenze lutho noma lifike lizobheka umonakalo.

“Alukho usizo engilutholayo kusho ukuthi balinde ukuthi kuze kuphume isidumbu.

Uma kukhona ongase angisize angitshele ukuthi ngenze njani, ngicela angisize sengikhathele,” kubalisa uNkk Bhengu.

Ikhansela laku-ward 42 uMnuz Bhekisisa Ngwane lithintwa, lithe alazi ukuthi uNkk Bhengu uqonde ukuthini uma ethi abenzi lutho ngodaba lwakhe.

“Indawo akhuluma ngayo iyijika elibi futhi ziningi izingozi ezenzeka khona uma abantu beshayela ngoba ngempelasonto basuke bedakiwe okubenza bashayele budedengu,” kusho uNgwane.

Uthe ngesikhathi lubikwa udaba bafaka udonga kodwa lashayiswa futhi nalo.

“Ufikile ngesonto eledlule washo ukuthi lushayisiwe udonga. Sisakhulumisana nabezokuthutha ngokufakwa kodonga oluvimba izimoto ukuthi zingeqeli egcekeni,” kusho uNgwane.

Useluyisa kubameli olwebhondi

$
0
0

Uthi uzoluhambisa kubameli udaba lwebhondi yomuzi wakhe engapheli uNkk Maureen Makhoba.

|||

BONISWA MOHALE

UTHI uzoluhambisa kubameli udaba lwebhondi yomuzi wakhe engapheli ayithola ebhange i-Absa uNkk Maureen Makhoba (64) waseLamontville, eThekwini.

UNkk Makhoba usho kanje emuva kokuthi uphenyo lakwa-Absa luveze ukuthi ubengakhokhi kahle.

Esitatimendeni esithunyelwe nguMnuz Dante Mashile obhekelele ezokuxhumana nezokukhangiswa kwaBarclays Africa Group (Absa), uthe uphiko lwezokubolekisa ngemali yezindlu luthole ukuthi uNkk Makhoba wavula i-akhawunti ngoSepthemba 1998 wabolekwa u-R76 426.27.

UMashile uveze ukuthi uNkk Makhoba akazange akhokhe ngo-Okthoba waze waqala ukukhokha u-R550 ngoJune 1, 1999.

Ngaleso sikhathi wayesesalele ngemuva ngezinyanga ezingu-10 esikweletini sakhe ekweleta u-R3 346.56

“Ikhasimende belingakhokhi ngesikhathi lize laqala ukukhokha kahle ngoMashi 1, 2012. Sicela liqhubeke nokukhokha ngoba isikweletu salo sisilele emuva. Kufanele aye egatsheni eliseduze naye ukuze ezoxoxisana nabazomsiza ukuthi alungise lolu daba. Angafonela abakwa-Absa Customer Management ku-011 350 5963 noma ku-031 366 9621,” kusho uMashile.

UNkk Makhoba utshele Isolezwe ukuthi akasazi enze njani ngodaba lwase-Absa ngoba ugqigqe waze wamfushane emagatsheni aleli bhange kodwa engasizakali.

Amaphepha akhe afakazela ukuthi wayithola ngo-1988 ibhondi yendlu akazi ukuthi lo-1998 uphumaphi.

“Uyazi angisazi-ke manje ukuthi ngithini ngoba amaphepha ami ase-Allied ayakhombisa ukuthi ibhondi ngayithola ngo-1988 hhayi ngo-1998, ngangizoyinikwa kanjani ibhondi ngingasasebenzi? Into engicikayo wukuthi abasho ukuthi ngikweleta malini manje sengikhokhe iminyaka engu-26 ibhondi yeminyaka engu-20, angikaze ngingakhokhi izinyanga ezingu-10 mina ngisho ngishonelwe bengibachazela ukuthi ngeke ngikhokhe ngaleyo nyanga bese ngiyayikhokha imali yabo ngisho nenzalo yakhona,” kusho uNkk Makhoba.

Uthe ucela noma ngabe ngubani ongaba nosizo ukuthi amsize ngoba akanayo imali yabameli ngoba sesiside isikhathi ezama ukuxazulula inkinga yakwa-Absa.

Bakhala kuZuma abafundisa abadala

$
0
0

Abafundisa imfundo yabantu abadala bakhala ngokungabhekelwa njengozakwabo abafundisa amabanga aphansi naphezulu.

|||

MHLENGI SHANGASE

SEBEDLULISELE izikhalo zabo kuMengameli Jacob Zuma abafundisa imfundo yabantu abadala abakhala ngokungabhekelwa njengozakwabo abafundisa amabanga aphansi naphezulu.

La basebenzi bamashele ezindlini zombuso ePitoli izolo bekhala ngokushaywa ngesithende ekubeni bebambe iqhaza elibalulekile ngokufundisa izikole zasebusuku.

UMengameli we-Adult Educators Progressive Union, uMnuz Michael Nkomokazi, uthe bafuna ukubhekelelwa ngayo yonke imihlomulo njengozakwabo kwezemfundo.

Uthe bafuna kwenziwe ubulungiswa ezivumelwaneni ezasayinwa ngo-2007 zokuthi basuswe ngaphansi komnyango wemfundo eyisiSekelo bafakwe ngaphansi komnyango weMfundo ePhakeme.

“Kasiholi ngesikhathi futhi kasinayo imihlomulo, yingakho sithi sifuna ukubhekelelwa. Sineziqu njengoba sifundisa abantu abadala futhi basuke bengebadala ngoba abanye basuke bengawuphothulanga umatric,” usho kanje.

Uthe abasebenza ehhovisi likaMengameli bathembise ukuthi bazophendula zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa.

Uqhube wathi nothisha abafundisa i-early childhood development ababhekelelwa ekubeni ozakwabo bebhekelelwa.

“Sonke asiqashwe ngokugcwele singaholi ngehora. Sifuna kwengezwe namahora esiwasebenzayo ngoba awukwazi ukufundisa yonke into ngamahora amabili kuphela izinsuku ezine,” kusho uNkomokazi.

Uthe la basebenzi abanayo imihlomulo efana namamedical aids, ihousing subsidy nemali yempesheni.

“Okubuhlungu kakhulu wukuthi noma abasebenzi bethu bangazikhandla abakhokhelwa ngesikhathi. EKZN khona abangazazi nokuthi bahola nini okuyinkinga enkulu,” usho kanje.

Phambilini uNgqongqoshe weMfundo eyisisekelo, uNkk Angie Motshekga, wathi indaba yabo bayayibheka.

Wathi bahola ngokuletha zinyanga zonke amahora abawasebenzile wathi benza umsebenzi obalulekile esizweni ngokufundisa ebusuku.

Abasebenzi bakulesi sifundazwe bakhala ngokuthi sekuphele iminyaka benganyuselwa imali ekubeni abanye othisha bayanyuselwa imali minyaka yonke.

Bagcine beyivalile abazali Insizwakazi

$
0
0

Igcine ivaliwe Insizwakazi Primary eKlaarwater.

|||

MLUNGISI GUMEDE

IGCINE ivaliwe Insizwakazi Primary eKlaarwater ngemuva kokuthi abazali izolo begasele esikoleni bafike bakhipha izingane emakilasini emuva kokuthi uthishanhloko, iphini lakhe nomabhalane abangafunwa bebuyelile esikoleni.

Abazali bathi bathathe isinqumo sokuthi bazikhiphe izingane esikoleni ngoba bengahambisani nokubuya kweziphathimandla zesikole.

UNksz Mpume Mswazi, okhulumela abazali, uthe izingane zabo zizohlala emakhaya kuze kube uMnyango wezeMfundo uthatha isinqumo ngeziphathimandla zesikole abangazifuni.

“Sibone uthishanhloko, iphini lakhe nomabhalane bebuya esikoleni, sabe sesithatha isinqumo sokuthi sikhiphe izingane zethu emakilasini ngoba besingeke sikwazi ukuzijezisela bona thina,” usho kanje.

Uthe bafuna uthishanhloko, iphini lakhe nomabhalane bame esikoleni kuze kube kuphothulwa uphenyo olwenziwayo ngabo mayelana nezinsolo zokuthi badla izimali zesikole.

Izolo iziphathimandla zesikole zifike zigadwe ngamaphoyisa.

Ngesikhathi ithimba leSolezwe lifika esikoleni lifice izingane zigcwele umgwaqo sezigoduka.

Abazali bakhala ngokuthi abaphathi abasikhathalele isikole. Bathi amathoyilethi awasebenzi, namanzi awekho.

Okunye abakhala ngakho wukuthi akekho unogada okwenza izingane zingaphephi.

Baphinde bakhale ngokuthi kunamakhompyutha anikelelwa isikole angu-30, bathi awasekho kanti basola uthishanhloko ngokunyamalala kwawo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uxwayise abazali ngokuthi kumele bawuyeke umkhuba wokuvala izikole uma kukhona abakhala ngakho.

Uthe uma udaba sebelubikile luyaphenywa, uma sekuba khona abakwenzayo okuphambene nomthetho abazali kugcina sekuphazamisa uphenyo kwesinye isikhathi kuholele ekutheni lowo osuke ephenywa agcine ephunyulile.

“Umnyango uyaphenya kodwa uphenyo luhamba kancane. abazali kumele babekezele ngoba umnyango uzogcina ufinyelele esinqumeni,” usho kanje.

Amalungu eNFP ayilaxazile

$
0
0

Umholi we-IFP Inkosi Mangosuthu Buthelezi wamukele amalungu amane avela ophikweni lwentsha lwe-NFP.

|||

MLUNGISI GUMEDE

UMHOLI we-IFP Inkosi Mangosuthu Buthelezi izolo wamukele amalungu amane avela ophikweni lwentsha lweNational Freedom Party (NFP) eholwa nguNkk Zanele Magwaza-Msibi.

Esithangamini sabezindaba eThekwini izolo, uButhelezi uthe ujabule ngokubuya kwala malungu ashiya iqembu lakhe ajoyina iNFP.

“Ngithole umyalezo ngiseCape Town kuthiwa kunamalungu avela kuNFP afuna ukungibona, ngibe sengisuka eCape Town ngazohlangana nawo lapha aThekwini, afike axolisa kimina ngesenzo sawo sokushiya iqembu, ngabe sengiyawaxolela,” usho kanje.

UButhelezi uthe ukubuya kwala malungu kuzolisiza kakhulu iqembu lakhe ngoba anamakhono ehlukene. Uthe ukubuya kwawo kukhombisa ngokusobala ukuthi i-IFP ayifi njengoba izimbangi zabo zihlale zifisa.

Amalungu abuyele eNkatheni, kubalwa uMnuz Sbongakonke Mhlongo, obekhulumela uPhiko lwentsha lweNFP, Mnuz Sboniso Ngcobo, Mnuz Siphesihle Kubheka noMnuz Nduduzo Ngcobo.

UMhlongo uthe isinqumo sokushiya i-IFP basithatha ngenhliziyo manje sebebonile ukuthi babephambukile yingakho bekhethe ukubuyela ekhaya.

“Sibe nomhlangano noMntwana saxolisa kuyena wabe eseyasixolela, njengoba sesibuyile, sizosebenzela iqembu ukubuyisa isithunzi salo,” usho kanje.

UMhlongo uthe bayazisola ngokushiya iNkatha bajoyina iNFP.

Uthe iNFP ayinalo ikusasa yingakho bethathe isinqumo sokuthi bayilaxaze.

UMhlongo uthe uButhelezi ubathwese ijoka lokuthi basebenzele iqembu ukunxenxa amavoti, wengeza ngokuthi akangabazi ukuthi ngamava abawatholile ngesikhathi besadukile bazokwazi ukumelana nomsebenzi abawunikiwe.

UNgcobo uthe bakhethe ukubuyela eNkatheni ngoba bebona ukuthi yinqola ehambayo kanti iNFP imi ndawonye.

“Sifuna izwe lazi ukuthi i-IFP inekusasa futhi abantu kumele balindele lukhulu okhethweni lohulumeni basekhaya ngo-2016,” usho kanje.

Emasontweni ambalwa edlule amanye amalungu ashiya iNkatha ekhala ngobuholi bukaMntwana, abuyela ekhaya afike azehlisa kuyena axolisa.

IJaji linyuse ithemba kuPistorius

$
0
0

Uvukwe umunyu |zehla mi izinyembezi u-Oscar Pistorius ozokwazi namuhla ukuthi utholakala enalo yini icala lokubulala ngokungenhloso.

|||

shain germaner ne-sapa

UVUKWE umunyu zehla mi izinyembezi umgijimi okhubazekile u-Oscar Pistorius ozokwazi namuhla ukuthi utholakala enalo yini icala lokubulala ngokungenhloso.

UJaji Thokozile Masipa izolo uveze ukuthi lo mgijimi waba budedengu ekuziphatheni kwakhe ngobusuku adubula ngabo intombi yakhe uReeva Steenkamp.

UPistorious uthi wayecabanga ukuthi udubula isigebengu emzini wakhe ePitoli. Eqalela ukukhipha isinqumo uJaji Masipa uthe uMbuso wehlulekile ukuthola ubufakazi obuqanda ikhanda ukuthi uPistorious unecala lokubulala.

Kunalokho uthe lo mgijimi uzobekwa icala lokubulala ngokungenhloso ngoba akuveli ukuthi wakuhlela ukubulala uReeva.

Ijaji lithe ofakazi boMbuso ikakhulukazi omakhelwane baPistorious balethe ubufakazi obushayisanayo ababufunzwe ngabezindaba.

Uthe omakhelwane badwebe esinye isithombe ngobusuku okwadutshulwa ngabo uReeva kunalobu obukholakalayo obese buphambi kwenkantolo.

Nokho ubuye wajikela ebufakazini bukaPistorious ebugxeka. Uthe ukuthi ubebuye aqambe amanga ebufakazini bakhe akusho nokho ukuthi unecala lokubulala.

“Ummangalelwa ubezokwazi kanjani ukuthi ukudubula kwakhe esicabheni kungabulala” kubuza ijaji.

Ubuye wathi yize kungakholakalai ukuthi uPistorious ubecabanga ukuthi wayedubula isigebengu kodwa akasho ukuthi ngeke kwenzeke.

UJaji Masipa uthe ofakazi baveze uPistorious njengomuntu owayedidekile ngalobuya busuku okungenzeka ukuthi wayengazenzisi.

Ngezikhathi zamakhefu uPistorious ubezungezwe ngabomndeni nezinkumbi zezintatheli ebezithatha izithombe.

Kulindeleke ukuthi uJaji Masipa anabe ngecala lokubulala okungenhloso athe kumele kubhekelelwe nokukhubazeka kwakhe.

“Yize ekhubazekile kodwa omunye ofana naye wayengeke enze ngale ndlela. Kwakumele acabangisise kahle azame nokwenza ngenye indlela engcono kunalokhu akwenza,” kusho yena.

Uthe kwakungaba lula ukuthi ashayele amaphoyisa ucingo uma ecabanga ukuthi kunesigebengu endlini.

Ugcizelele ukuthi uPistorious wakuqeqeshelwa ukusebenzisa isibhamu kwakumele azame ukugwema ukubulala.

Ijaji libuchithile nobufakazi bokutholakala kokudla esiswini sikaReeva athe abuqinisekisiwe.

Namuhla iJaji uMasipa kulindeleke liqhubeke nokwethula isinqumo kuleli cala elidonse amehlo omhlaba.

UPistorius ubehleli ebhokisini lofakazi echiphiza izinyembezi, ebonakala engqangqazela.

UPistorius uzwakale equma okuze kwaphoqa iJaji ukuba licele inkantolo ithathe ikhefu. Uzwakale ephefumulela phezulu, wahlala imizuzwana ngaphambi kokuphuma enkantolo.

Enkantolo ubephelezelwa uninalume u-Arnold, ubabekazi uLois, udadewabo u-Aimee noyise uHenke. Umfowabo kaPistorious uCarl ufike ehamba ngesihlalo esinamasondo, imilenze ifakwe ukhonkolo. Kuthiwa walimala engozini yemoto ngenyanga edlule.

Emndenini wakwaSteenkamp izolo bekukhona abazali bakaReeva uBarry noJune nomzala wakhe uKim Martins.


Bamenza inhlekisa othungatha isoka elinyamalele

$
0
0

Owesifazane okhiphe umehlokaboni kumuntu ongamsiza athole isoka lakhe uthi kumphatha kabi ukuthi udaba lwakhe seluphendulwe ihlaya.

|||

MCEBO MPUNGOSE

OWESIFAZANE waseVerulam okhiphe umehlokaboni ka-R1000 kumuntu ongamsiza athole isoka lakhe elilahleke bezoshada ngenyanga ezayo uthi kumphatha kabi ukuthi udaba lwakhe seluphendulwe ihlaya ngabathile abasuke bezenza abafuna ukumsiza.

Izolo Isolezwe lishicilele udaba lukaNksz Sthembile Zondi (35) (osesithombeni) obekhala ezimathonsi ngokulahlekelwa yisoka lakhe uMnuz Jan Gumede. Utshele Isolezwe ukuthi kunabantu abagiya ngethambo lakhe kunokuthi bamsize emva kokuvela kodaba ephepheni.

“Abantu bayadlala, abanye bayangifonela bethi bathandana naye asihlangane edolobheni kodwa bangifonela ngezinombolo abazifihlile. Vele kukhona abasazofuna ukungicasula kodwa kulungile ngizolinda kuze kuqondane,” usho kanje.

Uqhube wathi uyazi ukuthi umuntu wesilisa ngeke umthembe vele kodwa uma uzoba unkosikazi wakhe kumele ulibambe lishisa.

“Oyedwa ongithintile ngithe kuye asihlangane ngiza namaphoyisa waluvala ucingo,” kusho uNksz Zondi.

Uthe ufisa abantu bayeke ukudlala ngoba akuwona umdlalo abekwenza noGumede, umndeni wakhe ongowokudabuka eZimbabwe nawo ukhathazekile futhi awazi ukuthi ukuphi.

Uthe uGumede umthanda kukuhle kukubi, ngoba naye lapho ekhona unemizwa efanayo ngoba uyena owacela umshado kuye, akaphoqwanga. Uthe kumanje uxhumana nodadewabo alamana naye uCynthia Gumede azobonana naye namhlanje.

Umshana ugwaze umalume wafa

$
0
0

Usadidekile umndeni waKwaMkhize emuva kokuthi insizwa ewumshana wawo igwaze umalume wayo.

|||

BAWINILE NGCOBO

USADIDEKILE umndeni waKwaMkhize eMgababa emuva kokuthi insizwa ewumshana wawo igwaze umalume wayo inqwaba yamanxeba ngoLwesibili ebusuku washona kade kunomhlangano womndeni kwenziwa amalungiselelo okuhambisa izibizo ngumalume ngoMgqibelo.

UMnuz Mduduzi Sgora Mkhize (48) (osesithombeni) kuthiwa ushonele khona lapho emuva kokugwazwa amanxeba okuthiwa alinganiselwa ku-18 ngumshana wakhe abahilizisane okungatheni naye.

Umakoti wakwaMkhize, uNkk Thembi Mkhize, uthe bebekade benomhlangano womndeni ngoba kulungiselelwa izibizo ebezizohanjiswa nguMkhize ekhweni lakhe eLovu ngoMgqibelo.

“Umalume uhambile waya kwenye indlu emndenini kukhona inombolo abeyoyifuna. Kuthiwa ufice umshana wakhe wabe esethi akamdingi emcimbini wakhe ngoba uyahlupha. Abebekhona bathi umshana (emgagula ngegama) ube esethi vele ngeke aze aye kodwa uzobona ukuthi uzoshaya yini lowo Mgqibelo,” kusho uNkk Mkhize.

Uthe umshana ube eselanda ummese wabuya wagwaza uMkhize kanye, kuthe uma ediyazela uMkhize kungathi uphelelwa ngamandla wabe esemngenela emxhonxa emqaleni esifubeni nasekhanda ephindelela,” kusho uNkk Mkhize.

Uthe bona babizwe ngesidumo bafika esaphefumula kodwa kubonakala ukuthi kubi ngoba ubegwazeke ezindaweni ezibucayi entanyeni kukhoba obekuqhoshe kwaphumela ngaphandle.

“Kufike i-ambulensi, baqinisekisa ukuthi akasekho. Besibona ukuthi kubi kodwa besinethemba ngoba ubengaguli. Ngabe kungcono nokuthi uke waba nomkhuhlane sase sizama nemithi,” kubalisa uNkk Mkhize.

Umshana (27) kuthiwa uphume ejele ngasekupheleni konyaka odlule ngoba ubedla iwunga entshontsha izinto ekhaya nakomakhelwane.

“Ebuya ejele wafika wawumuntu ozoxolisa, ethi ngaphakathi ufundile ngeke esabuyela kwiwunga. Njengoba esenza njena asazi noma ubesebuyele yini,” kusho uNkk Mkhize.

Abaseshi abaphenya icala kuthiwa bafike bathatha unina womshana bayompheka ngemibuzo kanti ubuye emabokoboko ukushaywa kuthiwa akasho ukuthi indodana yakhe iphi.

UMkhize, onezingane ezimbili, ubengunogada.

Umndeni uthe usadidekile usazohlangana nabakwamakoti ukubhunga ngodaba lwezimpahla ebezizohanjiswa.

Abantu abakhulume neSolezwe bathe nakuba umsolwa ubehlupha endaweni kodwa kubethusile akwenzile.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala. Uthe umsolwa uyaziwa kodwa usagcwele amathafa.

Kufunwa ‘isela (14)’ eleba noninalume

$
0
0

Intombazane eneminyaka engu-14 nendoda okuthiwa nguninalume kusolwa ukuthi sebeziqedile izitolo eThekwini.

|||

CHARMEL PAYET

INTOMBAZANE eneminyaka engu-14 nendoda okuthiwa nguninalume kusolwa ukuthi sebeziqedile izitolo beziqola ezinxanxatheleni zezitolo eThekwini.

Kuthiwa laba bafika esitolo, omunye axoxise osebenzayo kube ngathi uyathenga ngesikhathi omunye entshontsha imali esisefweni.

Esinye isigameko sokweba esiqoshwe ngamakhamera e-CCTV laba bebe u-R20 000 eZoggy’s eGateway emasontweni amabili edlule.

Kumanje bafunwa ngamaphoyisa ngoba akholwa ukuthi bayathinteka kwezinye izigameko zokweba kwezinye izitolo.

Isigameko esiqoshiwe siveza intombazane ingena esitolo nendoda ekhulile kunayo.

Le ndoda yazisa le ntombazane kosiza esitolo, bese bekhombisa ukuthi kunezinto ezithile abazozithenga.

Kuthiwa bacela izinto eziphezulu kanti ngesikhathi osiza esitolo egibela phezulu ukuze ethule abakudingayo intombazane ibonakala iguqa ngamadolo ngemuva kwalapho kuhlala khona isisefo.

Lona ehamba naye ulokhu exoxisa umsebenzi wasesitolo ukuze anganaki ngaleso sikhathi intombazane ibonakala ihluleka ukuvula isisefo, izame ukuvula amakhabethe. Intombazane ithola imvilophu eno-R20 000 yayidlulisela kuninalume. Baphumile esitolo nomsizi wesitolo waqhubeka nomsebenzi.

UWendy Montgomery osebenza esitolo uthe walutheka.

Uthe indoda yazazisa yathi ingumalume wentombazane kanti yayibuza imibuzo eminingi, imsiza nangokumbambela izitebhisi ayegibele kuso ukuze afinyelele phezulu abathathele ababekudinga.

Uthe bahlala imizuzu engu-30 ngaphakathi kanti wayengazi ngokwakwenzeka emuva kwakhe njengoba wayefulathele.

Uthe laba bathi bayabuya bayokhipha imali emshinini wasebhange bangabe besabuya.

Uthe ngakusasa umphathi wakhe wafona efuna ambhekele imvilophu eseshalofini. “Ngangingazi ukuthi kunemali eseshalofini, kwahlasimula umzimba sengibuka okuqoshiwe.”

UMontgomery uthe kubikwa ukuthi abasolwa sebeke bakwenza lokhu nakwezinye izitolo kodwa bangabanjwa.

Umthombo osemaphoyiseni esingeke siwugagule uthe amaphoyisa athungatha basolwa.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Thulani Zwane akakwazanga ukuqinisekisa lezi zinsolo ngesikhathi sokushicilela.

Ongaba nolwazi angathinta uWarrant Officer Vis Moodley ku-083 660 8111.

Bafuna iqiniso kuPistorius ngendodakazi

$
0
0

Abazali bakaReeva Steenkamp bathi iqiniso liyogcina liphumile ngokufa kwakhe.

|||

ABAZALI bakaReeva Steenkamp bathi iqiniso liyogcina liphumile ngokufa kwakhe.

UNkk June (osesithombeni) noMnuz Barry Steenkamp basola u-Oscar Pistorius ngokuhubhuza amanga ngesikhathi etshela inkantolo ukuthi wadubula indodakazi yabo ezitshela ukuthi yisigebengu.

NgoLwesihlanu uPistorius ulahlwe yicala lokubulala owayeyintombi yakhe uReeva ngokungenhloso ngosuku lwezithandani nyakenye watholwa emsulwa ecaleni lokubulala.

AbakwaSteenkamp basola uPistorius ngokungakhulumi iqiniso lonke enkantolo bathi bafuna kuphume iqiniso.

Abazali bakaReeva basole iJaji uThokozile Masipa ngokwenza amaphutha amaningi ngesikhathi kuqhubeka icala nokuholele ekutheni uPistorius atholakale enecala lokubulala ngokungenhloso.

UJune uthe uzwe inhliziyo ishona phansi ngoba bebefuna iqiniso. Uthe abakwazanga ukubuka uPistorius ngesikhathi etholwa emsulwa ecaleni lokubulala. “Asikwazanga ngisho ukubuka, bebejabule.”

UJune ugxeke indlela eliphathwe ngayo icala ethi akaboni ukuthi kube yisinqumo esifanele. “Bayakholwa akushoyo, mina ngeke.”

Abazali bakaReeva bakhuluma kanje nje nezazi zomthetho zithukile ngesinqumo sikaMasipa.

UPistorius uzobuyela eNkantolo ngo-Okthoba 13 sekuyokhishwa isigwebo sakhe. – Intatheli yeSolezwe

Udidekile ngomuzi odayiswe angamazi

$
0
0

Uphithene ikhanda owesilisa okhishwe emzini wakubo ngoba kuthiwa udayiswe udadewabo angamazi.

|||

MCEBO MPUNGOSE

UPHITHENE ikhanda owesilisa waselokishini KwaMakhutha okhishwe emzini wakubo ngoba kuthiwa udayiswe udadewabo angamazi.

UMnuz Mzamo Mthethwa (35) (osesithombeni) osehlale kulo muzi impilo yakhe yonke uthe kusukela ngoJuni nyakenye usehlala emqashweni emva kokukhishwa endlini ayishiyelwa nguyise nodadewabo ababili uNksz Khanyisile Mthethwa noThembeni Mthethwa. Uthe eshona uyise ngo 1999 kwaphuma izincwadi zamafa bathola ukuthi kunowesifazane abangamazi ohlwini lwezingane zakhe kanti manje basola ukuthi indlu idayiswe nguyena.

“Ngesikhathi umndeni othenge umuzi ungikhipha wafika nephoyisa okuthiwa yilo elawuthenga kuqala labe seliwudlulisela kuwona. Babefuna ukungisayinisa amaphepha engingawazi nganqaba kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngaphinde ngawabona amaphepha esesayiniwe nami kukhona ongisayinelile,” usho kanje.

Uthe waya eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu eMgungundlovu nokuyilapho athola ukuthi umuzi udayiswe ngegama likadadewabo mbumbulu uNksz Thembeka Mthethwa oneminyaka engu 23 kwase kuvulwa icala lokukhwabanisa.

“Amaphoyisa aKwaMakhutha ngawachazela ngalo dadewethu engingamazi aphenya kabanzi ngaye aze athola ikheli lakhe laseMlazi kodwa wagcina etholwe eMfume. Iphoyisa elaliphenya udaba lithi lakhuluma naye wakuchitha ukuthi nguye owadayisa umuzi wathi akazi lutho ngawo,” kuchaza uMthethwa.

Uthe okumxakayo wukuthi ngesikhathi becela izinombolo zalo dadewabo abangamazi noma indawo abangamthola kuyona iphoyisa lashaya phansi ngonyawo lathi bazophazamisa uphenyo.

“Kumanje asikaze sikhulume lutho nalo dadewethu selokhu sambona ohlwini lwamagama ezingane zikababa. Kuningi okungaqondakali ngale nto eyenzekayo,” kusho uMthethwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokukhwabanisa ngokudayiswa komuzi okwenzeka ngo Juni 2013.

“Kubikwa ukuthi owavula icala wavakashelwa abasolwa ababili abazama ukumphoqa ukuthi asayine amaphepha okudayiswa komuzi okuyinto anqaba ukuyenza.

Okwamanje akukaboshwa muntu kodwa icala selidluliselwe kumshushisi omkhulu ukuthi athathe isinqumo,” kusho uZwane.

I-NPA iyayeka ukuphenya uPhiyega

$
0
0

I-NPA ithe ngeke isalulandela udaba lukaRiah Phiyega) lokuvimbela ukwenziwa kobulungiswa.

|||

SAPA

I-National Prosecuting Authority ithe ngeke isalulandela udaba lukaRiah Phiyega (osesithombeni) lokuvimbela ukwenziwa kobulungiswa.

“Emuva kokubukisisa kahle izitatimende nobufakazi obusedokodweni, i-NDPP inqabile ukushushisa,” kusho uMnuz Nathi Mncube okhulumela iNPA.

“Kubukeka sengathi azikho izizathu ezinqala ezingaholela ekushushisweni.’’

Uthe ngonyaka odlule i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) yaphenya isikhalo ngoPhiyega.

Ngo-Okthoba nyakenye, i-Ipid yathi izophenya ngezinsolo ezithi uPhiyega waluma indlebe uKhomishana wamaphoyisa eWestern Cape, uLt-Gen Arno Lamoer, ngokuthi uzophenywa abezobunhloli.

Ngokwemibiko, uPhiyega waluma uLamoer indlebe kathathu ngokuthi wayekade ezophenywa.

Ngaleso sikhathi iSunday Independent yabika ukuthi izingxoxo zabo zocingo zaqoshwa ngokusemthethweni ngabezobunhloli ababelandela uLamoer.

UPhiyega wakuphika ukuthi wayekade elume uLamoer indlebe.

Izolo uMncube uthe i-Ipid idokodo ilibuyisele kuMnuz Mxolisi Nxasana oyiNational Director of Public Prosecutions ngesikhathi iqeda ngophenyo.

INPA icele uNxasana ukuthi isinqumo sithathwe ngokwesigaba 7(4) ngokomthetho i-Ipid Act.

Isikhalo ngokungaqhakanyiswa kwemisebenzi yabesifazane

$
0
0

Ukhale ngokungaqhakanyiswa kweqhaza labesifazane ababe nesandla enkululekweni yezwe umbhali uGcina Mhlophe.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

UKHALE ngokungaqhakanjiswa kweqhaza labesifazane ababe nesandla enkululekweni yezwe umbhali uGcina Mhlophe ethula inkulumo ngempilo kankosikazi kaJohn Langalibalele Dube wokuqala, uNkk Nokuthela Dube.

UGcina Mhlophe ubekhuluma kwiThe John Langalibalele Memorial Lecture ebise-UKZN eMgungundlovu.

UNkk Dube unconywe ngegalelo lakhe lokuqala isikole uHlanga High School nokuqala iphephandaba lesiZulu lokuqala, Ilanga laseNatali besebenzisana nomyeni wakhe.

Uthe kuyadumaza ukuthi abesifazane abaningi abavelele kuleli amagalelo abo awakhunjulwa.

“Bangaki abesifazane bakuleli abenze imisebenzi emangalisayo abayishumi eningabakhumbula nibasho. Ubani ongakhumbula owesifazane wokuqala wakuleli othole iziqu esikhungweni esiphakeme. Baningi kakhulu abesifazane abenze kahle, basebenza kanzima ukuze elakuleli liphumelele kodwa abakhunjulwa nemisebenzi yabo. UNokuthela cishe abantu bamkhohlwa, bakhohlwa amagalelo akhe. Ubuhle nesizotha sakhe, ubuhlakani bakhe. Kuningi kakhulu akwenzela abantu bakuleli ukuze kube khona inkululeko,” kusho uGcina. Mhlophe.

Kuvele ukuthi uNkk Dube waya nomyeni wakhe eNew York eyoqoqa imali ukuze kuqalwe isikole. Ubegxile ekufundiseni umculo, ukupheka, ukuthunga nokudlala umculo ethanda nabafundi yize ayengenayo ingane okungeyakhe.

“Lo wesifazane akazange abusiseke ngokuba nezingane ekungezakhe kodwa ube umama ezinganeni eziningi. Watshala uthando lwemfundo kuzo. Ngaphandle kokufundisa kwakhe aphinde agxile emculweni kungezinye izinto ezifakazela ukuthi ubuciko nemfundo kuyizinto ongeke uzihlukanise.”

UNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Sibongiseni Dhlomo naye obeyisikhulumi esiqavile, ufakazele ukuthi abesifazane abavelele kumele benikezwe ukuhlonishwa abakufanele.

“Kuyadumaza impela uma abantu besifazane abenze umsebenzi omangalisayo ngale ndlela kubukeka bengakhunjulwa njalo. Kubalulekile ukuba sazi ukuthi abesifazane badlala indima enkulu ekulekeleleni amadoda abo asuke ephethe. Kusukela manje kumele wonke umuntu ahloniphe owesifazane osuke evelele noma kungathiwa umama wakamakhelwane owenza okuhlukile,” kusho uDkt Dhlomo.


Badubulane phambi kwamaphoyisa ehostela

$
0
0

Siyaqhubeka nokushuba isimo ehostela eGlebelands.

|||

MLUNGISI GUMEDE

SIYAQHUBEKA nokushuba isimo ehostela eGlebelands ngemuva kokuthi izolo abahlali bedubulene phambi kwamaphoyisa kwalimala abantu ababili.

Kuthiwa iqulu lamadoda asolwa ngokudayisa imibhede ehostela lihlasele labo abalwela amalungelo abahlali yabe isitholana phezulu kwavimbanisa umsizi amaphoyisa aqaphe ethuthuva ekhona ngezithuba zehora lesibili ntambama.

Umthombo weSolezwe ohlala ehostela uthe iqulu lamadoda angaphezu kuka-10 ahlala khona ehostela abehlome ephelele ahlasele ozakwabo nabo bangazibeka phansi baphendula ngomkhono wekati kwanuka uhlofu.

“Kulinyelwe kuzo zombili izinhlangothi ebezilwa. Isigameko senzeke phambu kwawo amaphoyisa abezama ukukhuza kodwa kwanhlanga zimuka nomoya,” usho kanje.

Uthe ukudubulana kuthathe cishe imizuzu ewu-20.

“Ngizwe kuthiwa sizoshuba kakhulu isimo ngemuva kwalokhu kudubulalana,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi kuke kwakhona ukudubulana ehostela laseGlebelands izolo.

UZwane uthe okwamanje bekungakavulwa cala kodwa amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo.

“Asazi ukuthi ukhona yini olimele noma cha,” usho kanje engeza ngokuthi amaphoyisa asekanisile ehostela ukuqapha isimo.

Sekutshalwe inqwaba yamaphoyisa ehostela eseliphenduke inkundla yokuqothwa kwabantu ngenhlamvu emuva kochungechunge lezigameko zokubulalana.

Sebengu-14 abantu asebeyiswe kwagoqanyawo kwalinyazwa inqwaba selokhu uqalile umbango wemibhede ezinyangeni eziyisithupha.

Ngenyanga edlule kudutshulwe umholi wenhlangano uBunye Bamahostela, uMnuz Bongani Mthembu, owasinda ngokulambisa eshaywa ngama-R4 nama-AK47.

Abahlali abangathandanga ukuthi badalulwe ngoba bezibona bengaphephile bathe isimo sibi ngale ndlela yokuthi kalipheli isonto ingaqhumanga inganono.

“Inkinga idalwa ngabantu abadayisa imibhede yabanye abahlala ehostela.

Abantu bakhishwa ezindlini zabo ngaphandle kwencazelo kufakwe omunye umuntu. Singabahlali sizizwa singaphephile ngenxa yezigameko zokubulawa kwabantu esezandile,” kusho omunye wabantu abahlala ehostela.

Abantu abahlala kule ndawo sebekhale kaningi ngokungavikeleki bekhala nangokudonsa izinyawo kwamaphoyisa.

NoNgqongqoshe wezokuPhepha eKZN uMnuz Willies Mchunu akasali kwabagxekwayo njengoba abanye bekhala ngokungaseshwa kwezikhali kwabahlala kuleli hostela.

Owesifazane ubanjwe newunga ejele

$
0
0

Kumbhedele owesifazane obanjwe oqotsheni eshushumbisa iwunga eseyongena nayo eMedium C ejele iWestville.

|||

BAWINILE NGCOBO

KUMBHEDELE owesifazane obanjwe oqotsheni eshushumbisa iwunga eseyongena nayo eMedium C ejele iWestville eyihambisela isoka lakhe eliboshiwe izolo.

Lo wesifazane okuthiwa uneminyaka engu-23 akusiye yedwa oboshwe kuleli jele nezidakamizwa izolo njengoba kuboshwe nenye indoda okuthiwa ibanjwe isangena esangweni nensangu nayo izobona esinye seziboshwa.

Ngokuthola kweSolezwe owesifazane udlulile emaphoyiseni esangweni kanti uzobanjwa esese-Medium C lapho ebeyobheka khona isoka lakhe okuthiwa batholana nalo kwenye inkundla yokuxhumana, i-To Go.

Lo wesifazane kuthiwa ubanjwe nemicu elinganiselwa ku-20 yewunga abeyifasele edukwini lakhe abegqize ngalo ekhanda ukuze afihle kahle izidakamizwa.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa asesiteshini samaphoyisa eWestville abizelwe kuleli jele.

Uthe kuboshwe ababili, owesilisa nowesifazane ngamacala okushushumbisa izidakamizwa ejele.

Umphathi wamajele esifundazweni iKwaZulu-Natal uMnuz Mnikelwa Nxele ongathandanga ukuphumela obala ngolwazi analo ngalolu daba ngenxa yokuthi ubesazohlangana nabaphathi basejele, uthe bakushayela ihlombe ukubanjwa kwalaba ababili.

“Sikushayela ihlombe okwenziwe ngabasebenzi nabasuke bebalekelela ngoba asifuni ubulelesi obuqhubeka noma abantu sebengaphakathi,” kusho uNxele.

Uthe benza konke okusemandleni ukunqanda ubelelesi ngaphakathi emajele.

Kubanjwa laba nje ngaphambilini kuleli jele kwatholakala inqwaba yezinto ezishushumbisiwe okubalwa, amaselula, ama-DVD ocansi ngisho notshwala obugayelwa khona ngaphakathi.

Kube ngumbukiso wamasiko kokaKhulubuse

$
0
0

Kuhlangane abamasiko akwaZulu nawamaSwazi ngesikhathi uKhulubuse eshada isinqandamathe sakhe seminyaka.

|||

NATHI OLIFANT

KUHLANGANE abamasiko akwaZulu nawamaSwazi ngesikhathi uKhulubuse, oyindodana kaomfowabo kaMengameli Jacob Zuma eshada isinqandamathe sakhe seminyaka uMntwana uPrincess Fikisiwe Dlamini ngempelasonto.

Umakoti utheleke nethimba laseSwazini eNkandla kuzoqhutshwa umshado wesintu ophethwe izolo ngomabo.

Abebeshaba baqala ukuthandana eminyakeni eyishumi edlule ngesikhathi uKhulubuse ehlangana noFikisiwe evakashele uMntwana uSebentile Dlamini, eNkandla. UFikisiwe ungudadwebo omncane keSebentile owayeyingoduso kaMengameli Jacob Zuma ngaleso sikhathi. Nokho uZuma akabanga esaqhubeka nokushada noSebentile.

UKhulubuse (44) kubikwa ukuthi wakhokha ilobolo lezinkomo ezingu 100.

UFikisiwe (33) uyindodakazi kaPhiwokwakhe Dlamini, owashona ngo 2005. Wayengomfowabo weNkosi yamaSwazi uMswati III.

Umshado uqale esigodlweni saseSwazini eLudzidzini Royal Village ngaphandle kwaseMbabane ngoLwesine.

UShembe ukhuza ukuzilengisa kubafundi

$
0
0

Inkosi yamaNazaretha aseBuhleni ikhulekele abafundi baseMUT ukunqanda isahlava sokuzibulala kwabafundi ngokuzilengisa.

|||

MLUNGISI GUMEDE noMCEBO MPUNGOSE

INKOSI yamaNazaretha aseBuhleni, uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, izolo ikhulekele abafundi baseMangosuthi University of Technology (MUT) ukunqanda isahlava sokuzibulala kwabafundi ngokuzilengisa.

Okwamanje kulo nyaka munye umfundi osazibulele eMangosuthu kanti nangonyaka odlule ukhona owazibulala ngendlela efanayo. Bese kubukeka kuba wukhondolo ukuzilengisa kwabafundi. Ezinyangeni ezedlule omunye umfundi usizwe ngabanye esethi useyazilengisa.

Izolo izinkulungwane zamalungu ebandla lakwaShembe zibe nokhukhulelangoqo womkhuleko obuhanjelwe ngabafundi namalungu omphakathi enkundleni yezemidlalo engaphakathi eMangosuthu.

Ezokuphepha beziqinile ngenxa yokuthi kade kukhona noNyazi obekuyilona obeluhola umkhuleko. Umkhuleko uqale ekuseni wadonsa kwaze kwashona ilanga.

Ibandla laseBuhleni lijwayele ukuhamba liba nemikhuleko ezindaweni ezehlukene ukusiza umphakathi ngezinkinga ezehlukene.

Lisanda kubusisa amathuna eNanda laphinde lenza nenkonzo yokukhumbula abangasekho kuyona le ndawo.

Ilungu leStudent Represatative Council (SRC) elibhekelele izindaba zezenkolo, uMnuz Msizi Shange, lithe umkhuleko ubuhlelwe wuhlaka lwabafundi abangamaNazaretha.

Uthe inhloso yokuletha umkhuleko bekuwukunqanda izigameko zokuzibulala kwabafundi.

“Uyedwa umfundi ozibulele kulo nyaka,” usho kanje.

UShange uthe okunye okubakhathazayo wukuthi abafundi abangahlali esikoleni babanjwa inkunzi mihla namalanga yizigilamkhuba.

Amalungu ebandla akhulume neSolezwe kodwa acela ukuba angadalulwa ngoba ibandla alisavumi kukhulunywe nabezindaba athe abafundi bacele uNyazi ukuthi lizobakhulekela ngoba bebona sisikhulu isibalo sabafundi abazibulalayo.

“Inkosi ifikile yabakhulekela siyathemba ukuthi emuva kokukhulekelwa yiNkosi yaphinde yanyathela nasemagcekeni esikhungo, lesi sihlava sizophela ,” kusho omunye wesifazane okhonza kuleli bandla.

Usezinkalweni ‘oxhonxe’ uninalume

$
0
0

Usagcwele amathafa osolwa ngokugwaza inqwaba yamanxeba umalume wakhe eMgababa.

|||

BAWINILE NGCOBO

USAGCWELE amathafa osolwa ngokugwaza inqwaba yamanxeba umalume wakhe eMgababa ngesonto eledlule.

UMnuz Mduduzi Sgora Mkhize (48) ushone ngoLwesibili ebusuku phambi kwamalungu omndeni wakhe ayekade enomhlangano nawo beqedela amalungiselelo okuhambisa izibizo ekhweni lakhe eLovu obekufanele zihanjiswe ngoMgqibelo odlule.

UMkhize kuthiwa ugwazwe amanxeba alinganiselwa kwangu-18.

Umshana kaMkhize oneminyaka engu-27 ongumsolwa kuleli cala namanje kuthiwa usagcwele izinkalo selokhu abaleka eqeda kwenza lesi sigameko.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Thulani Zwane uthe umsolwa uyaziwa kodwa ubengakaboshwa.

Uthe uphenyo ngecala lokubulala luyaqhubeka.

Kuthiwa uMkhize wayeyofuna enye inombolo kwenye indlu yakubo eseduze ngesikhathi efica umshana wakhe.

Kuthiwa wathi kuye angayi emcimbini wakhe ngoMgqibelo ngoba uyahlupha.

Umshana wakhe kuthiwa wathi uzobona ukuthi uzoshaya yini lowo Mgqibelo maqede waya kubo wabuya esephethe ummese wagwaza uMkhize kanye, wadiyazela.

Kuthiwa emuva kwenxeba wabe eseza ngamandla egwaza ephindelela uMkhize esifubeni, emqaleni nasekhanda.

Umshana kaMkhize kuthiwa uphume ejele ekupheleni konyaka odlule, eboshelwe amacala okugqekeza njengoba kuthiwa ubehlupha egqekeza eba komakhelwane nakubo ehlushwa ukubhema iwunga.

UNkk Thembi Mkhize uthe uMkhize uzofihlwa ngoMgqibelo kanti umndeni usadidekile ngalesi sigameko futhi akukho okusaxoxiwe ngakho ngezimpahla obekumele azihambise ekhweni lakhe.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>