Lo mfundi uthe akaqondi ukuthi yini eyenze waba yinhlekisa.
|||ZANELE MSOMI noNONTUTHUKO NGUBANE
ISIKHUNGO semfundo ephakeme i-University of Zululand (Ongoye), sizothatha izinyathelo ezinzima kubafundi abahlukumeze omunye wesifazane bamenza inhlekisa ngenxa yokugqoka isikhindi.
Izolo lesi sikhungo siphawule okokuqala ngokuhlukunyezwa kukaNksz Onkarabetse Thebeng.
Isithombe salo mfundi sisatshalaliswe kuFacebook abanye begxeka isenzo sabafundi abahlukumeze omunye ekubeni kuyinyanga yabesifazane. Kulesi sithombe uNksz Thebeng ugqoke isikhindi esiveza amathanga, ugqoke izicathulo eziphakeme wagaxa nesikhwama. Ulandelwa yiqulu labesifazane abagqoke iziketi ezinde, abamthwebula ngomakhalekhukhwini behleka.
Izolo lo mfundi uphawule oKhozini FM echaza indlela ahlukumezeka ngayo ngalesi sigameko esenzeka emagcekeni esikhungo.
Lo mfundi ongakwazi ukukhuluma isiZulu njengoba ekhuluma isiTswana uthe akaqondi ukuthi yini eyenze waba yinhlekisa.
“Ngijwayele ukugqoka izimpahla ezimfishane kodwa bengiqala ukuhlangabezana nale nkinga. Ngayizolo bengigqoke okufishane ngaphezu kwalokhu,” usho kanje.
Usola ukuthi lesi senzo sihlobene nomkhuba wabesifazane womona nokwehlisana isithunzi. Nokho ubezwakala ekhululekile yize abaningi bebemzwela.
Abanye abalaleli abaphawule oKhozini bathe basibona isithombe kuFacebook. Bebebabaza bethi namanje abakholwa abakubonile. Omunye wesilisa ofunda kulesi sikhungo uthe wayengekho isigameko senzeka kodwa kumphoxile ukuthi senziwe ngabesifazane. Bonke abalaleli bebesigxeka lesi senzo bethi abayiboni inkinga ngendlela lo mfundi abegqoke ngayo.
UNksz Normah Zondo okhulumela isikhungo uthe bayaqala ukuhlangabezana nesigameko esifuze lesi. Ugcizelele ukuthi awukho umgomo obekiwe mayelana nokugqoka kwabafundi.
“Kuyamangaza ukuthi umfundi uneminyaka emithathu efunda kulesi sikhungo futhi egqoka ngendlela efanayo. Bazothathelwa izinyathelo abafundi abathintekayo bese kuthi umfundi ohlukunyeziwe alulekwe ngokomqondo,” kusho uNormah.
UNksz Makhosazana Nxumalo oyiMenenja yeCommission for Gender Equality esifundazweni uthe umfundi unegunya lokuvula icala lokwehliswa isithunzi.
“Uma ubezizwa ekhululekile ngakugqokile besingekho isidingo sokuhlukumezeka, acwaswe ngalokho,” echaza.
Ukucwaswa kwabesifazane ngendlela abagqoka ngayo kuke kwaba sematheni izinhlangano zabesifazane ezaziholwa nguNkk Nomvula Monkonyane owayengu-Ndunankulu waseGauteng zahlela imashi. Lokhu kwenzeka emuva kokwanda kwesigameko sokuhlukunyezwa kowesifazane ngosomatekisi erenki yaseGoli.