Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Baphoxekile ngokugoloza kukaTlakula

$
0
0

IChristian Democratic Party izwakalise ukukhathazeka ngokunqaba kukasihlalo we-IEC ukwesula emsebenzini.

|||

IChristian Democratic Party (CDP) izwakalise ukukhathazeka izolo ngokunqaba kukasihlalo we-Independent Electoral Commission (IEC), uNksz Pansy Tlakula (osesithombeni), ukwesula emsebenzini.

Lokhu kulandela ukuthi uMvikeli woMphakathi, u-Advocate Thuli Madonsela, ethole ukuthi uNksz Tlakula wenza okungafanele ekuthengweni kwebhilidi iRiverside Office Park eCenturion, ePitoli, nokuyikomkhulu le-IEC.

“Uma sifuna ukukhombisa ukuthi sinentando yabantu esebenzayo, kufanele igama nokwethembeka kwe-IEC kungangatshazwa,” kusho umholi weCDP uMnuz Theunis Botha izolo.

“Intando yabantu idinga ukuthi konke kube sobala abantu bazi ukuthi abakwenzayo kuzofanele baphendule ngakho, nokubonakala kungekho kokwenziwa nguTlakula.”

U-Adv Madonsela uphakamise ukuthi iPhalamende limthathele izinyathelo uNksz Tlakula.

U-Adv Madonsela uthole ukuthi kube nokungenzi kahle kuNksz Tlakula, nokushayisana kwezinto mayelana nomqondisi wenkampani nokusolwa ukuthi wayethandana naye.

“USomlomo wePhalamende kufanele acubungule ukuthi ngabe akufanele yini athathelwe izinyathelo uTlakula . . . uma kubhekwa ukwephula kwakhe imithetho yokuthengwa kwempahla,” kusho u-Adv Madonsela.

UBotha uthe uphoxekile yizimpendulo ze-IEC ngalolu daba. – Intatheli yeSolezwe


Bakhalela incazelo ngokhubazeke ezalwa

$
0
0

Usosizini umndeni womfana waseReservoir Hills onamasonto amathathu okuthiwa uphazamiseke ngokomqondo.

|||

LUNGI LANGA

USOSIZINI umndeni womfana waseReservoir Hills onamasonto amathathu okuthiwa uphazamiseke ngokomqondo nabasola ngakho ubudedengu besibhedlela iKing George esiyaziwa ngeDinuzulu, eThekwini.

Unina kaSphamandla Mcetywa okunamasonto amathathu ezelwe, uNksz Nothemba Mcetywa (27), uthi ufuna izimpendulo emnyangweni wezempilo mayelana nokulimala kwendodana yakhe atshelwe ukuthi ayisoze yaphila impilo ejwayelekile.

Ngokusho kwakhe lokhu kudalwe wubudedengu kubasebenzi basesibhedlela iKing Dinuzulu.

UNksz Mcetywa uthi abazange bamnake ngesikhathi ebeletha futhi abazange bahambise ngendlela ejwayelekile uma umuntu ebeletha.

“Ngesikhathi ngisahamba amakilasi abakhulelwe kuso lesi sibhedlela ngatshelwa ukuthi ingane yami inkulu kakhulu ngakho kuzodingeka ukuthi ngihlinzwe. Udokotela wangidonsa ngendlebe wathi angosheshe ngiye esibhedlela uma sengizwa ukuthi ngiyasikwa. Ngenza njengokusho kwakhe kepha esibhedlela bathatha esabo isikhathi ukuthi banginake,” kusho uNksz Mcetywa.

Uthe waphuthunyiswa yi-ambulensi esibhedlela wafika khona ngehora lesihlanu ntambama. Abe-ambulensi batshela abahlengikazi ababesebenza ngalobo busuku buka-Agasti 8 ukuthi amanzi akhe ayesephumile kepha baze bamnaka emuva kwamahora amabili nohhafu.

“Umhlengikazi wathi angigibele embhedeni wafaka umunwe ukuzwa ukuthi ingane seyikude kangakanani. Ngithe uma ngiquma wathi ayikho into engiyikhalelayo washo nokuthi kwakumnandi ngenza umntwana ngakho asikho isidingo sokuthi ngikhale. Ube esethi angihlale ebhentshini ngoba ingane isekude,” kuchaza uNksz Mcetywa.

Emuva kwamahora amahlanu omunye wodokotela ufike kuye wambheka washo ukuthi ingane isiyeza. Akuphelanga sikhathi esingakanani naye wayizwa isiza wase ememeza abahlengikazi ebatshela.

“Bafika bangivula imilenze ngesihluku bathi angiphushe ngoba ingane seyiyeza. Kwathi uma kucaca ukuthi umntwana akaphumi kwayikhona bezama ukumhlangabeza ngokufaka izandla bezama ukudonsa ikhanda.

“Abanye babecindezela ngaphezu kwesisu ngenhloso yokusiza ekutheni aphume. Emuva kwemizuzu ecela kweyishumi nanhlanu waphuma umntwana kepha akazange akhale,” kusho uNksz Mcetywa.

Uthe akazange akhonjiswe umntwana wakhe kwaze kuba uya kombona endlini egcina abantwana abasanda kuzalwa. Udokotela owamtetisa akazange ahlale nokuhlala ukuchaza.

Yilapho achazelwa ngomunye udokotela ukuthi umntwana wakhe uphazamiseke ngokwengqondo ngenxa yokuphuza ukukhishwa.

Badluliselwe esibhedlela i-Addingtion lapho bephinde bachazelwa ngomunye udokotela obe esekucacisa ukuthi indlela abelethiswa ngayo yiyo eholele ekutheni umntwana wakhe akhubazeke.

Uyise kaSphamandla uMnuz Nkosibonile Ndlovu (32), uthe abaqondi ukuthi bazokwenzenjani ngoba batsheliwe ukuthi noma esededeliwe esibhedlela kuzomele bamuyise esibhedlela njalo ngenyanga umntwana.

“Usezoba umuntu ohlala ngokuhamba isibhedlela ebe ayengaphila kahle ukuba akuzange kwenzeke ngale ndlela okwenzeke ngayo ngesikhathi ezalwa. Kusiphatha kabi lokho,” kusho uNdlovu.

Emuva kwemizamo eminingi yokuthola izimpendulo kuMnuz Sam Mkhwanazi okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu Natal, ugcine ethe udaba sebezwile ngalo basalucubungula.

Kuzile isikole emva kokushona kwabafundi

$
0
0

Basemanzini othisha nezingane zaseSiphapheme High School osekushone kuso abafundi abathathu ezingozini zomgwaqo ezahlukene ezinsukwini ezintathu.

|||

ZANELE MSOMI

BASEMANZINI othisha nezingane zaseSiphapheme High School, eMzinto, osekushone kuso abafundi abathathu ezingozini zomgwaqo ezahlukene ezinsukwini ezintathu. NgoLwesihlanu kushone ingane eyodwa kwezintathu okuthiwa ziphume ngamafasitela zisatshiswa yitekisi ebigijima ngesivinini eseqile ebeziyigibele.

Amaphoyisa athe itekisi okusolwa ukuthi umshayeli wayo ubephuzile, ibibaleka emuva kokushayisa enye.

UCaptain Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi kuboshwe umshayeli ngalo uLwesihlanu wabekwa icala lokushayela ephuzile, ukushayela budedengu nokubulala ngokungenhloso. Umsolwa elingakatholakali igama lakhe uvele enkantolo ngoMsombuluko.

NgoMsombuluko isikole siphinde sagubuzelwa yifu elimnyama kushona izingane ezimbili kugingqika itekisi ethutha umphakathi. Izingane ezishonile sezizonke ngo-Andile Dimba oshone engozini yangoLwesihlanu, uSimangele Mkhize noSinenhlanhla Dlamini abashone kweyangoMsombuluko. Kusasa kuzokwenziwa isikhumbuzo sabo bobathathu laba bafundi khona esikoleni.

UZwane uthe kulimale nabawu-23 kule ngozi kodwa bekungakaboshwa muntu ecaleni lokubulala ngokungenhloso. Le ndaba yokushona kwezingane zesikole esisodwa zilandelana isifake netwetwe kubazali njengoba kuthiwa abafundi abaningi basebenzisa amatekisi athutha umphakathi.

Isolezwe livakashele kulesi sikole izolo omama abadayisayo abebengaphandle kwesango bebesabaza lo mshophi. Batshele Isolezwe ukuthi sebecabanga nokuthi kuhlelwe umthandazo ngoba kuyethusa ukushona kwezingane ngale ndlela.

UNksz Baphi Msezana uthe imoto egingqe izingane ngoMsombuluko bekuvele kukhalwa ngayo ngendlela ebigijima ngayo. “Zonke izimoto zidlula la kithina uma zizothatha izingane. Lena egingqe izingane ibibhalwe “Isiphithiphithi” izingane zikhala ngayo kangangoba ezinye bese ziyibalekela ukuyigibela,”echaza.

Kuthiwa le tekisi ibigibelise nezingane zaseSizophumelela High School khona okungashonanga muntu.Uthe udabukela uthishanhloko obesakhalela ukushona kwengane eyodwa ngoLwesihlanu kanti kusazolandela ezinye. Uthishanhloko uMnuz M.I Mkhize elingatholakalanga igama lakhe wale waphetha ukuphawula ngalolu daba. Ucele ukuthi Isolezwe lixhumane noMnyango wezeMfundo onelungelo lokuphawula.

UMnuz Muzi Mahlambi okhulumela uMnyango uthe sebebikeliwe ngalo mshophi ovelele iSiphapheme. Uthe bazothumela izikhulu zoMnyango ukuzobhonga emswaneni enkonzweni yesikhumbuzo kusasa.

Imibuzo ngabatholwe befile emotweni

$
0
0

Baluqale kabuhlungu usuku lwayizolo abafundi baseMlazi Secondary School kwa-V ngesikhathi bezithela phezu kwemoto ebinezidumbu.

|||

BAWINILE NGCOBO

BALUQALE kabuhlungu usuku lwayizolo abafundi baseMlazi Secondary School kwa-V ngesikhathi bezithela phezu kwemoto ebinezidumbu zamadoda amabili okubalwa nesephoyisa laseSydenham phambi kwesango lesikole.

Le moto i-Toyota Run X ibimi phambi kwesango lesikole, inezimbobo zenhlamvu emawindini angakwesobunxele, ngemuva nangaphambili.

Isolezwe lihabule ukuthi kukhona owesifazane okuthiwa ubekhona kule moto kodwa obalekile okunezinsolo zokuthi kungenzeka ubebangwa ngabafi.

Ngaphakathi kuyo bekubonakala indoda ehlonzwe njengoConstable Sizwe Mhlongo (26) esihlalweni sikamshayeli eduze kwakhe kukhona enye engakahlonzwa ebincike kuye ehlombe.

Bobabili bebenamanxeba okudutshulwa ebusweni.

Isigameko sokudubula kuthiwa senzeke ngezithuba zawo 9.30 ebusuku ngoMsombuluko kodwa kuze kwabonakala izolo ekuseni ukuthi kukhona abantu abashonile.

Umfowabo kaMhlongo uMnuz Peter Mhlongo uthe ufonelwe nguyise omncane esemsebenzini emazisa ngalesi sigameko.

“Umfowethu ahlala naye kwa-E lapha eMlazi uthe ugcine ukumbona ebusuku. Uthe uSizwe bekukhona akade ekhuluma naye ku-whatsapp, wavuka eselele njengoba namanje (izolo ekuseni) esagqoke isikhindi sokulala,” kusho uMhlongo.

Uthe uhambe ngabo 9 ebusuku engumuntu obuyayo.

“Umfowethu ahlala naye oshayela amatekisi, ubone ekuseni esethi uyolanda itekisi ukuthi akabuyanga. Sithukile kakhulu akekho umuntu ongalindela into efana nale,” kusho uMhlongo.

Kuthiwa uMhlongo ubesasebenze iminyaka emithathu embuthweni wamaphoyisa. Waqala ukusebenza esiteshini saseSiphingo wabe eseya eSydenham.

Unina omncane kaMhlongo obekhala uthe ufike ngoMsombuluko eMlazi eze eGlebe esuka eHarding ekhaya elikhulu.

Abantu bakule ndawo bese begcwele endaweni yesigameko befuna ukubona ukuthi laba bantu abasemotweni ngabe bayabazi yini.

Abanye abahlala eduze kwesikole bathe kabezwanga kuqhuma isibhamu kodwa bezwe ekuseni sekuphume izingane zesikole okuyizo ezibone laba bantu.

Abanye bathe bazwile ukuqhuma kwesibhamu kodwa besaba ukuphuma ngoba bese kusebusuku.

Emotweni kutholakale isibhamu okusolakala ukuthi ngesikaMhlongo somsebenzi namaselula ayisithupha.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Jay Naicker uthe akukacaci okuyikho okwenzekile kule moto kodwa kuyabonakala ukuthi ukudubula kwenzeke ngaphakathi kuyo imoto.

“Uphenyo lwamaphoyisa yilo oluzocacisa okuningi, ukuthi ngubani odubulile nokunye,” kusho uNaicker.

Uthe kuphenywa amacala amabili okubulala okwamanje kuze kube kuyavela ukuthi yini eyenzekile.

‘Ngeke kusize ukuvala izikhangiso zotshwala’

$
0
0

Kunemibuzo ngezinhloso zikahulumeni zokuphasisa umthetho wokuvala izikhangiso zotshwala.

|||

LUNGI LANGA

KUNEMIBUZO ngezinhloso zikahulumeni zokuphasisa umthetho wokuvala izikhangiso zotshwala.

Ikomiti elihlanganisa ongqongqoshe abahlukene baseNingizimu Afrika liveze ukuthi lo mthetho ohlongozwayo wokuvala izikhangioo zotshwala, i-Draft Control of Marketing of Alcohol Beverages Bill, uzodingidwa ePhalamende ukuze udluliselwe emphakathini ukuthi uphawule ngawo.

Izinhlangano nezazi zomnotho zithi kumele kucatshangwe enye indlela yokulwa nokusetshenziswa kotshwala kuleli.

Inhlangano eqwashisa ngotshwala, i-Industry Association for Responsible Alcohol Use (Ara), ithi ukususwa kwezikhangiso kuzokwenza kubukeke sengathi abantu abaphuzi.

Ngokusho kukaMnuz Adrian Botha wale nhlangango zikhona izinto ezingenziwa ukulwa nesihlava sokuphuzwa kakhulu kotshwala ngaphandle kokuthi kumiswe izikhangiso zabo.

“Kuyavela ukuthi ukusabalalisa imiyalezo ekhuthaza abantu ukuba baphuze utshwala ngendlela kwenza umphakathi ube nomcabango ofanayo othi ukusebenzisa utshwala ngokweqile akwamukelekile,” kusho uBotha.

Lokhu kufakazelwa ongoti kwezomnotho abathi kungaba yiphutha ukuthatha le indaba yokulwa nokuphuzwa kakhulu kotshwala ngenhliziyo.

Ungoti wezomnotho uSolwazi Bonke Dumisa, uthe okwenza ukuthi uhulumeni, ikakhulukazi uMnyango wezeMpilo, ufune kuphasiswe umthetho wokuvala izikhangiso ngukuthi iningi imali esetshenziswa ngenxa yezingozi nezinye izinkinga ezidalwa wutshwala.

Bazitshela ukuthi ukuvala izikhangiso kungenza abantu bangabe besaphuza ngokweqile. Kanti nezikhangiso zisebenzisa abantu abaqavile ziphinde zenziwe ngendlela ekhangayo, babukeke bebahle abantu abaphuza utshwala.

Yize kunjalo, uthi lokhu akusho ukuthi ukuvala izikhangiso kuzoshintsha lokhu.

“Buningi utshwala obuphuzwa manje okuwukuthi buphuzwa abantu bungazange bukhangiswe. Ubone abantu sebebuphuza kodwa,” kusho uDumisa.

Kunale mvunge nje, ngo-1999 iNingizimu Afrika yaphasisa umthetho wokuvala izikhangiso zogwayi.

Ngokwe-Ara ucwaningo olwenziwe lukhombisa ukuthi basebaningi abantu, ikakhulukazi intsha, abaqale ukubhema ngemuva kokuthi sekuphasiswe lo mthetho.

Ikomiti elidingida udaba lwalo mthetho ohlongozwayo lithe imikhankaso eqwashisa ngobungozi botshwala sekucacile ukuthi kayisebenzi.

UDumisa uthe kumele kubhekwe ezinye izindlela njengokuqwashisa abantu njalo ngokusebenzisa utshwala, hhayi uma kuyizikhathi zamaholidi kaDisemba nangePhasika.

“Imikhankaso yokuqwashisa ngobungozi botshwala yenziwa uma kuyizikhathi zePhasika nangoDisemba kuphela ayiqhubeki. Akulindelekile ukuthi ingaba nomthelela omkhulu uma yenziwa ngalolu hlobo imikhankaso,” kusho uDumisa.

Kunezinkinga eziningi ezidalwa ukusebenzisa utshwala ngokweqile abantu abangezwa ngazo.

Uthe ababaningi abesilisa abazi ukuthi ukuphuza utshwala ngokweqile kunomthelela ongemuhle ebudodeni babo.

Uthe yonke le miyalezo kufanele kuqiniswe kuyona.

Ucwaningo lwe-Ecometrix luveza ukuthi kuningi okusadingwa ukubhekwa elakuleli njengoba le mboni ixhase nemikhakha eminingi okubalwa kuyo ezemidlalo.

Lulinganiselwa ku-79.5% uxhaso olufakwa yimboni katshwala kwezemidlalo, u-10.35 kwezobuciko, u-5.6 kwezokusakaza.

‘UMkhize angayilungisa ekaKhongolose’

$
0
0

Uma i-ANC ingaphawuli ngamahlebezi okuthi kunokungasebenzisani kahle phakathi kukaMengameli waleli qembu nePhini lakhe abantu bazogcina bewathatha njengeqiniso.

|||

SIZWE BLOSE

UMA i-ANC ingaphawuli ngamahlebezi okuthi kunokungasebenzisani kahle phakathi kukaMengameli waleli qembu nePhini lakhe abantu bazogcina bewathatha njengeqiniso.

Lokhu kushiwo uDkt Somadoda Fikeni ongumhlaziyi wezepolitiki. Uthe yize beyikhona ingcindezi yokuthi uDkt Zweli Mkhize asishiye phansi isikhundla sobuNdunankulu, agxile kwesokuba uMgcinimafa Jikelele we-ANC kodwa nodaba lokungaboni ngaso linye phakathi kukaMnuz Jacob Zuma noMnuz Cyril Ramaphosa lwenze saphuthunywa isinqumo sokuthi uMkhize agxile emsebenzini aqokelwa kuwona eMangaung.

“UMkhize uyindoda enobuhlakani, enomoya ophansi nekwaziyo ukukhuluma nawo wonke umuntu, kunethemba lokuthi uzokwazi ukuxazulula izinkinga ezikhona ebuholini baleli qembu,” kusho uFikeni.

Uthe abantu kumele bakhumbule ukuthi uRamaphosa uke waba nguNobhala we-ANC ngesikhathi uZuma eyiPhini lakhe, ngaleso sikhathi uRamaphosa wayaziwa ngokuzithathela izinqumo ngaphandle kokuxhumana noZuma.

Uthe okunye laba baholi babaziwa ngokuba kumakhempu ehlukene ngaleso sikhathi njengoba kwakwaziwa ukuthi uRamaphosa wayesekwa uMnuz Chris Hani kanti uZuma ehambisana noMnuz Thabo Mbeki.

“Into eyagcina ibahlanganisa ukuthi bobabili bagcina bengahambisani noMbeki,” kusho uFikeni. Uveze ukuthi okubuhlungu ukuthi akuphumanga ezingqondweni zabo ukuthi kunesikhathi lapho babengaboni ngaso linye khona, wathi kungenzeka ukuthi uma kuliqiniso ukuthi kunokungaboni ngaso linye kubona kudalwa umlando wokusebenzisana ongazange ube muhle ngesikhathi uRamaphosa enguNobhala uZuma eyiPhini lakhe.

UFikeni uthe yize kunjalo uMkhize udingelwa kakhulu imali ukuze i-ANC ingabi nankinga uma kufanele ikhankase.

“Ukhetho lufike i-ANC isenkingeni, phambilini uphiko lwentsha lwaleli qembu kwakuba yilona oluhamba yonke indawo ngemali lukhankasa kodwa manje ubuholi balo bagcina buhlakaziwe. Ngakolunye uhlangothi iCosatu yayenza omkhulu umsebenzi ilekelelwa yizinyunyana ezingaphansi kwayo ezinemali uma kuzoba nokhetho kodwa kuyaziwa ukuthi kunokungaboni ngaso linye kule nyunyana,” kusho uFikeni.

Ephawula ngalowo okumele abe nguNdunankulu KwaZulu Natal, uthe njengoba kubanjiswe uMnuz Senzo Mchunu, kuzomele kuqhubeke yena ngoba uma ekhishwa futhi, lokho kungadala ukungasebenzisani okuhle, okuyinto i-ANC angayifuni njengoba iya okhethweni.

Okhulumela i-ANC uMnuz Keith Khoza uthe alikho iqiniso ekutheni kunokungaboni ngasolinye phakathi kukaZuma noRamaphosa. “Bafuna ukucekela phansi igama le-ANC abaqhamuka nalawo manga. Thina asiyazi leyo nto, kunokubambisana okukhulu kwi-ANC,” kusho uKhoza. Odabeni oluthinta uMkhize, uthe akekho ongazi ukuthi waqokelwa esikhundleni esimdinga nsukuzonke.

Baqhuqhwe amakhaza ngenxa yokusha kwefulethi

$
0
0

Balale emgwaqweni abantu abahlala efulethini iRosedale kulandela ukuqubuka komlilo oshise ingxenye yefulethi kwasha nempahla.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

BALALE emgwaqweni abantu abahlala efulethini iRosedale enkabeni yedolobha eMgungundlovu kulandela ukuqubuka komlilo oshise ingxenye yefulethi kwasha nempahla.

UNksz Neli Mthethwa ongomunye wabahlala kule ndawo abakhulume neSolezwe uthe akazi nokuthi uzogezaphi, akuthathephi nokudla njengoba elala emnyango.

“Bengisendlini ngesikhathi kuqubuka umlilo. Ngizwe abantu bekhala ngomlilo ngangabe ngisakwazi ukukhipha izimpahla zami. Ngiphume ngesamagundane nebengikugqokile kuphela. Umlilo uqhubekile kodwa kuthe usucinyiwe bangasivumela ukuba sibuyele ezindlini zethu ngoba bezishile salala emgwaqweni,” kusho uNksz Mthethwa.

“Bekubalulekile ukuba sigade izimpahla zethu ngoba sisaba abafana bewunga ukuthi bazongena bazithathe,” usho kanje.

Ngesikhathi leli phephandaba likule ndawo, bekuvalwe isango lokungena ngengidi enkulu.

Abahlala khona bebebizwa ngezinombolo zezindlu zabo ukuze babheke okusinde emlilweni.

Omunye ongathandanga ukudalulwa nobedinwe egane unwabu ukhale ngabaphathi bebhilidi ngokungabavuleli ngesikhathi ukuzobheka izindlu zabo.

“Asiyanga emsebenzini ngoba sifuna izimpahla zethu kodwa manje sivalelekile asikwazi ukungena kuzona. Selokhu kusile silindile, sihlezi emgwaqweni,” kusho lo mhlali.

Amaphoyisa asiqinisekisile lesi sigameko esenzeke ngoLwesibili ebusuku. Imbangela yalo mlilo ibingakaziwa. Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.

Ngokuthola kweSolezwe abantu abahlala kule ndawo basola izintambo zikagesi ezidale lo mlilo. Abanye bathe kunabafanyana abahlala kuyona abavame ukudlala ngomlilo.

Imizamo yokuthola okhulumela uMasipala waseMsunduzi uMnuz Brian Zuma ayiphumelelanga. Esinye isikhulu kumasipala, uNksz Nqobile Madonda, sithe siyazi ngokusha kwaleli fulethi sacela ukuba sithunyelwe imibuzo nge-email.

Limisiwe ikhansela ‘elingakhuzeki’

$
0
0

Kuphasiswe ivoti lokuthi limiswe izinyanga ezimbili emsebenzini ikhansela le-ANC kuMasipala weTheku.

|||

SIMPHIWE NGUBANE

KUPHASISWE ivoti lokuthi limiswe izinyanga ezimbili emsebenzini ikhansela le-ANC kuMasipala weTheku elitholwe linecala lokwenza ibhizinisi nalo mkhandlu nosekungokwesithathu iminyaka ilandelana.

UMnuz Senzangakhona Shange, igama lakhe elivelayo embikweni wenkohlakalo yezigidi zamarandi, iManase Report, umbiko wekomiti elibhekele ukusebenza kwamakhansela, i-Ethics Committee, izolo uphakamise ukuthi amiswe izinyanga ezimbili.

USihlalo we-Ethics Committee, uMnuz William Mapena, ufunde umbiko ophakamisa ukuthi uShange amiswe izinyanga ezimbili emsebenzini.

Kube sekuvotelwa lesi siphakamiso esiholele ekutheni amiswe uShange nosekuzoba nguNgqongoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNksz Nomusa Dube, osekulindeleke ukuthi athathe isinqumo esingujuqu ngalolu daba.

UShange wavuma esigcawini saleli komiti ukuthi wenza ibhizinisi nomasipala ahlomula ngalo u-R280 000 onyakeni wezimali u2011/12.

Wayenamanye amacala afuze leli onyakeni wezimali u2009/10 no-2010/11.

Phambilini ikomiti laphakamisa ukuthi uShange anikwe incwadi yesexwayiso ngokuba kwakhe yilungu lenkampani iKhetha Thina Trading 16 eyahlomula ngenkontileka ka-R353 018. Lokhu kwalandelwa wukuthi ahlawuliswe umholo wakhe wezinyanga ezine ngelinye icala.

Kube nomsindo ngaphambi kokuthathwa kwalesi sinqumo njengoba i-DA ibifuna axoshwe uShange imsola ngokungaluzwa uswazi asuke eshaywa ngalo uma enza amacala njengoba ephindaphinda into eyodwa iminyaka ilandelana.

Umholi wekhokhasi yeDA eThekwini, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe bazokwenza isiphakamiso sokuba kuvotelwe ukuthi axoshwe emsebenzini uSomlomo, uMnuz Logie Naidoo abamsola ngokuchema ne-ANC ezinqumeni avame ukuzenza emhlanganweni wamakhansela.

UMncwango namalungu eDA agcine ewudubile umhlangano obuseCity Hall izolo ngemuva kokuthi uSotswebhu wayo, uSharon Hoosen, ebuze ukuthi bayofakelwa nini ugesi abantu baseWelbedacht East osekuneminyaka imali yakhona engu-R3.3 million yaphasiswa ngo-2011 kodwa basahlala ebumnyameni.

“UNaidoo uqhubekile nokuvikela abaholi be-ANC ukuthi baphendule imibuzo eneka obala inkohlakalo. Asigculisekile yindlela enza ngayo umsebenzi,” kusho uMncwango.

UNaidoo uthe kunamalungu eDA akwi-Ethics Committee ebibhunga udaba lukaShange manje ubengasiboni isidingo sokuwanika ithuba lokuba aphinde abuze imibuzo ngento ayaziyo.


Bakhale ngokuhlazeka kuvela owetulo

$
0
0

Abesifazane baseGamalakhe bathi bahlazekile ngokuboshwa kowesifazane obhekene necala lokwakha itulo lokubulala amadodana akhe.

|||

BAWINILE NGCOBO

ABESIFAZANE baseGamalakhe ePort Shepstone bathi bahlazekile ngokuboshwa kowesifazane obhekene necala lokwakha itulo lokubulala amadodana akhe amabili ukuze ahlomule imali yomshuwalense.

Abesifazane abebegcwele eNkantolo yeMantshi ePort Shepstone izolo namanye amalungu omphakathi bathe bathunazekile ekubeni kuyinyanga yabo.

UNkk Makhosazana Langeni (50) uvele kafushane izolo eNkantolo yeMantshi ePort Shepstone.

UNksz Nomxolisi Ntlauzana othe ubesonta noNkk Langeni phambilini uthe bathuke kakhulu ngokuboshwa kwakhe ngoba ubengusikhwama esontweni labo ngaphambi kokuthi ayosonta kwelinye igatsha.

“Sihlazekile singomama ngenyanga yethu. Sikhathazekile ngokuboshwa kwakhe ngalezi zinsolo ezinzima kangaka,” kusho uNksz Ntlauzana.

Ebuzwa ukuthi kungani bazitshele ukuthi uNkk Langeni uyalazi leli cala, ubuze ukuthi usukelwe ngoba kwenzenjani.

Uthe bathuswe wukuthi bamazi engumuntu obekahle ebandleni abazi ngempela ukuthi kwenzekeni.

Nabanye besifazane okubalwa nomama be-ANC Women’s League basho okufanayo kodwa bathi bazoyeka inkantolo yenze umsebenzi wayo ukuze kugcine kuzwakele ukuthi lezi zinsolo ziyiqiniso kangakanani.

Abantu abebegcwele phama enkantolo nangaphandle bebefuna ukuzozibonela yena kanti bebesababaza isibindi anaso ngecala asolwa ngokulenza.

Unina kaNkk Langeni obehamba namadodakazi akhe nezihlobo akathandanga ukuphawula kodwa uma bekhuluma bodwa bebezwakala bethi le nto nabo ibahlazile ngoba abantu bazobabuka njengomndeni omubi kanti abazi lutho.

Kule nkantolo bekukhona nezihlobo zakwaLangeni nenye indodana kaNkk Langeni ebizobulawa.

Bekukhona nomfundisi wakhe webandla lamaWeseli.

Ngaphambi kokuthi kungene inkantolo izihlobo zakhe bezithi azifuni azibone ngoba uzozithuka kushunqe uthuli kodwa ngesikhathi esebizwa engena ebhokisini akazange abheke lapho bekuhleli khona abantu, ungene ebhokisini wabheka phambili kwaze kwaqedwa obekushiwo waphuma.

Umshushisi uNkk Sohana Moodley utshele inkantolo ukuthi leli cala lalihlehle ukuze uNkk Langeni ayobhekwa ukuthi uphile kahle yini emqondweni kodwa umbuso awuboni ukuthi kukhona ukuphazamiseka anakho.

Uthe umsolwa ubekwe amacala amabili okwakha itulo lokubulala.

Ummeli kaNkk Langeni uMnuz R Ngcobo wakwaLegal Aid, uthe umsolwa uzocela ibheyili.

“Ayikho into ekhombisa ukuthi umsolwa uphazamisekile emqondweni,” kusho uNgcobo.

UNgcobo utshele inkantolo ukuthi akafuni ukuthi uNkk Langeni athwetshulwe izithombe enkantolo ngoba unamalungelo kodwa abathwebuli bebengenisiwe ngaphakathi namakhamera.

IMantshi, uMnuz Piet Coetzee, ithe vele ayikuvumeli ukuthi kushuthwe enkantolo ngaphakathi.

Icala lihlehliselwe uSepthemba 4 ukuze umsolwa acele ibheyili.

Amawele ‘azoshada’ nomyeni oyedwa

$
0
0

Kuzokwenzeka okungajwayelekile amawele ‘eshada’ nomyeni oyedwa eMgungundlovu.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

KUZOKWENZEKA okungajwayelekile amawele ‘eshada’ nomyeni oyedwa ngempelasonto eMgungundlovu.

Amawele uNksz Sibongile noBabongile Zwane (30) aseNhlazatshe, eMgungundlovu, azobe efake iveyili yomshado womabili ngosuku lomshado kodwa umyeni uzobe eyedwa.

Umshado uzobe usedolobheni eMgungundlovu ngeSonto bese kuyabiwa ngoMsombuluko kubo kwamkhwenyana e-Underberg.

USibongile nguye ozobe ebopha ifindo likasofa silahlane noMnuz Msawenkosi Phungula (32) kepha uzobe ephelezelwa yiwele lakhe ukuze bagcine ‘usiko lamawele lokuphelezelana’.

Ngokusho kukaSibongile, udadewabo uzobe engumakoti naye ngosuku olukhulu, befake okufanayo kuze kube bafika emzini wakhe.

“Sizobe singomakoti nodadewethu ngosuku lomshado. Lokhu esikwenzayo kungusiko lamawele lokuphelezelana. Sitsheliwe ukuthi kumele sikwenze lokhu ukuze sigweme izinkinga ezingase zivele emshadweni. Uma ngihamba ngiyoshada ngishiya udadewethu ngemuva kungenzeka ngifike ngihluleke nasemendweni ngibuyele ekhaya, naye uma esele yedwa ngemuva kungenzeka abhekane nezinkinga. Ukugwema konke lokhu sikhethe ukungalizibi lolu siko lokuphelezelana,” kusho uSibongile.

Njengoba usuku lomshado luthathwa njengolukuqhakaza kukamakoti, uSibongile uthe yena akumkhathazi ukuthi uzobe eqhudelana nodadewabo ngoba basondelene kakhulu futhi kuyamjabulisa ukuphelezelwa.

“Akungikhathazi nakancane nje ukuthi kuzobe kukhona omunye umakoti ngoba udadewethu siyinto eyodwa naye. Okungiphatha kabuhlungu wukuthi sizogcina sihlukene naye. Uzoba nami ngosuku lomshado, siyokwaba naye kodwa uzobuye angishiye emzini abuyele ekhaya. Kuzobe kungokokuqala ukuba sihlukane ngokuhlala,” kusho uSibongile.

UBabongile ubengakashadi.

Labo ‘wele’ kunzima ukubahlukanisa njengoba nomama wabo uNkk Cashile Zwane uthe babeze bamhleke ngoba ehluleka ukubahlukanisa.

Uthe naye ubengazi ngohlelo ‘lokuphelezelana kwamawele’ kodwa uyalamukela ukuze ingane yakhe ihlale kahle emzini.

“Ngiyaqala ukushadisa izingane ezingamawele, nami ngimangalile ukuthi kumele sibashadise bobabili. Besebancane ngangike ngibize omunye ngegama lomunye, babevele bengihleke bethi kanti nami ngingumama wabo angikwazi ukubahlukanisa. Kuyangithokozisa ukuthi noma sebeshada bazokwazi ukuphelezelana,” kusho uNkk Zwane.

Umkhwenyana kaSibongile uthe ujabule ngokuxakile njengoba ezoshada nesithandwa sakhe seminyaka, wathi akanayo nencane inkinga ukuthi uzobe ephahlwe abesifazane ababili yize eshada oyedwa.

Ngokohlelo lomshado uyedwa ozokusho izifungo, asayine incwadi yomshado afake nendandatho.

UMnuz Sazi Mhlongo, usihlalo wezinyanga KwaZulu-Natal, uthe laba benze usiko lwamawele impela ngoba kumele aphelezelane ukuze elinye ‘lingathambi’.

“Noma yini esuke yenziwa yiwele nelinye kumele likwenze. Kusuke kubalekelwa ukuba lingathambi leli elinye, ligqilazeke. Benza yona impela inqubo yamawele. Uthola ukuthi uma lokhu kungenziwe elinye iwele lisale ligule libe nezinkinga ezahlukene,” kusho uMhlongo.

Usiko lokuphelezelana kwamawele lijwayelekile noma kukhona elishonile, lapho elisaphila liyaye lingeniswe emgodini okuzongcwatshwa kulo elishonile.

Abesimame bacetshiswe ngezebhizinisi

$
0
0

Kudonswe ngendlebe abantu besifazane ukuthi bayihlelele kahle imali yabo ukuze bangazitholi sebeswele.

|||

BONISWA MOHALE

KUDONSWE ngendlebe abantu besifazane ukuthi bayihlelele kahle imali yabo ukuze bangazitholi sebeswele.

Ngokusho kukaNkk Zee Cele oyi-Accountant, kubalulekile ukuba nohlelo lokusebenzisa imali nolokuyilondoloza.

UNkk Cele ubekhuluma engqungqutheleni yosomabhizinisi besifazane ebihlelwe yi-Durban Chamber of Commerce and Industry ebise-Maharani Hotel, eThekwini.

“Imali kumele uyisebenzise kahle, kube neyezidingongqangi, eyezidingo ozoba nazo esikhathini esizayo bese kuba naleyo oyilondolozayo.

“Okunye okumele ungakukhohlwa, wukunikela ngokweshumi. Lo mnikelo ngiwuthatha njengokunikelela abampofu,” kusho uNkk Cele.

Uthe osomabhizinisi abanemali eningi bahlale besho ukuthi ukunikela kwabampofu yikhona okubandisela umcebo.

Uphinde wagqugquzela osomabhizinisi ukuba benze imali noma belele, wenza isibonelo sokuthi uma unebhilidi, akuwena oziqoqela irenti kodwa yinkampani ethile eyiqoqayo noma ungekho.

Ezinye izikhulumi bekungoNkk Zanele laMbokazi Nkambule, ongumsunguli wama-Crown Gospel Awards, Mirror PR ophinde abe ngumbhali.

Bekukhona noNkk Carol Coetzee owayeyiNhloko yoMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal noNkk Uraisha Haswell wenkampani iGodrej SA, eyenza odayi bezinwele i-Inecto.

ULaMbokazi Nkambule, uthe ngumcimbi wakhe ka-23 akhuluma kuwo nabesifazane ngokusondeza uNkulunkulu kukho konke okwenzayo.

UNksz Thato Tsautse osephethe eThekwini Maritime Cluster futhi ongummeli wezindaba zeMaritime, ugqugquzele abesifazane ukuba basebenzisane ukuze bezophumelela esho nokuthi akazwani nomkhuba wokucekelana phansi kwabesifazane.

UNkk Jane Pillay, oyi-Menenja yemicimbi kwi-Durban Chamber of Commerce and Industry, uthe umcimbi wabo ube yimpumelelo ngoba ubuthanyelwe ngabesifazane abangu-180, abanye bajikiswe emnyango ngoba sekugcwele.

Uthe bazoqhubeka nokwenza imicimbi yokucobelelana ngolwazi nosomabhizinisi besifazane.

Uphambili owaseKZN ngenkohlakalo

$
0
0

Uhulumeni waKwaZulu-Natal uhamba phambili ngenkohlakalo.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

UHULUMENI waKwaZulu-Natal uhamba phambili ngenkohlakalo eyenzeka eMinyangweni ehlukene uma kuqhathaniswa nezinye izifundazwe ezikhona kuleli.

UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi nowezokuHlaliswa kwaBantu yiyo eqengqeleza phambili ngenkohlakalo okuthiwa inuka phuhlu.

Le Minyango ithathwa njengeneqhaza elibhekwe kakhulu ekutheni iqede ububha kubantu nokungalingani kulabo ababencishwe amathuba ngesikhathi sikahulumeni wengcindezelo.

Uphiko oluphenya amacala abucayi olubizwa iSpecial Investigation Unit (SIU) luthole ukuthi kunezigidi zamarandi ezebiwe eMinyangweni kahulumeni nakomasipala kuzwelonke kodwa esezibuyisiwe.

Lezi zimali kuvela ukuthi bezebiwa ngezinye zezikhulu zikahulumeni ngokukhwabanisa imisebenzi efana nokukhishwa kwamathenda, imali esuke ihlelelwe abampofu nezintandane kanti isiyonke ifinyelela ku-R181 million.

Okhulumela i-SIU, uMnuz Boy Ndala, uthe ibalelwa ku-R135.6 million imali ebuyiswe ngabasebenzi kakahulumeni abangaphezulu kuka 43 000 eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi.

Okunye okuvelayo ukuthi abaye abasebenzi bakahulumeni bakhwabanisa imali yabakhokhi bentela ngezindlu zomxhaso ezisuke zibhekiswe kwabantulayo kodwa kugcina kungenzekanga ngenxa yenkohlakalo.

KwaZulu-Natal kuvela ukuthi kunamacala angu-1 500 athinta inkohlakalo yezindlu zomxhaso okuyizo okwenziwa ngazo imali.

Ngaphandle kwalokho uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo wona ubuyiselwe R4.4 million owebiwe ngabasebenzi.

Kulo Mnyango kunabasebenzi abangaphezulu kuka-400 abebethinteka ezehlakalweni zokukhwabanisela uMnyango.

UMnyango wezokuHlaliswa koMphakathi esifundazweni uthe usunqume ukuthi usebenzisane ne-SIU ukuze kuliwe nenkohlakalo futhi kwenziwe isiqiniseko sokuthi bayabanjwa labo abathintekayo bajeziswe.

Lo Mnyango uveza nokuthi ukwazile ukubuyisa imali engu-R10.6 million elahleke ngenxa yenkohlakalo yezindlu zomxhaso.

UMnyango kaNkk Weziwe Thusi wezokuThuthukiswa koMphakathi uthe nowakhe wenza konke okusemandleni ukulwa nenkohlakalo nokuqinisekisa ukuthi labo abathintekayo bayajeziswa.

Kulindwe ulibofuzo kumalugaju

$
0
0

Sekulindwe imiphumela yolibofuzo ukuze kuqhubeke icala losolwa ngokuba wumalugaju.

|||

BAWINILE NGCOBO

SEKULINDWE imiphumela yolibofuzo ukuze kuqhubeke icala losolwa ngokuba wumalugaju obhekene namacala okubulala abesifazane abathathu izidumbu zabo ezatholwa oThongathi.

UMnuz Simphiwe Khoza uvele kafushane eNkantolo yaseVerulam izolo lapho kuvele ukuthi ebufakazini osebuqoqiwe sekusele imiphumela yolibofuzo okuyiyo engakabuyi.

UKhoza ngesikhathi evele eNkantolo ngenyanga eyedlule watshela inkantolo ngomlomo kammeli wakhe uNksz Ndaba ukuthi uyakuhoxisa ukufaka isicelo sebheyili.

Izolo ungene ebhokisini eboshwe izinyawo ngamaketango, egqoke i-jean eluhlaza okwesibhakabhaka, ijakhethi eluhlaza nokubomvu.

Ngesikhathi engena enkantolo kube nokuvungama ezihlotsheni zabesifazane ababulawa nabanye abebehambele leli cala.

Inkantolo inqabile ukuthi uKhoza ashuthwe izithombe.

Umbuso awubange usayikhuluma indaba yokwengeza elinye icala lokubulala kulawa abekwe wona njengoba ngesikhathi evelile waveza ukuthi ungase umthwese elinye icala.

UKhoza usolwa ngokuyenga abesifazane ku-Facebook, azijwayeze nabo agcine ngokubabulala.

Usolwa ngokubulala uNksz Phindile Ndlovu (44) wasEmbo ngaseHillcrest, uNksz Philisiwe Hlatshwayo (44) waseNewcastle owayenguthisha eShowe noNksz Bongiwe Majozi (40) waseMgungundlovu owayenguthisha eMsinga.

UKhoza ubhekene necala lokubamba inkunzi uNksz Hlatshwayo nokumebela amane.

Zonke izidumbu zalaba besifazane zatholwa oThongathi zikhunyulwe kwesingezansi, ezimbili kuzo zishisiwe.

Izihlobo zababulawa ebeziphuma eNewcastle naseHillcrest nazo beziphume ngobuningi ukuzothamela leli cala.

Amalungu omphakathi ikakhulukazi abophiko lwabesifazane kwi-ANC oThongathi namaphethelo bebetheleke ngobuningi enkantolo njengenhlalayenza.

Emuva kwecala bahlangane ngaphandle kwenkantolo becula izingoma zomzabalazo amashuni azo amaningi abethathelwe ezingomeni zesonto.

Icala lihlehliselwe u-Okthoba 31.

Ufe olwembiza egqekezelwa

$
0
0

Sikhala ezimathonsi isihlabani sakuleli somculo we-kwaito ngemuva kokugqekezelwa i-studio emini kabha.

|||

BONGIWE ZUMA

SIKHALA ezimathonsi isihlabani sakuleli somculo we-kwaito, u-Arthur Mafokate, ngemuva kokugqekezelwa i-studio sakhe i-999 eseMildrad ngoLwesithathu emini kabha.

Kulokhu kugqekezwa kuntshontshwe ikhompyutha enezingoma zamaciko aziwayo angaphansi kwenkampani yakhe.

U-Arthur oyinkakha yalo mculo uthi kungabiza ngaphezulu kuka-R200 000 uma uqalwa phansi kabusha lo mculo olahlekile.

Lokhu sekumenze wathatha isinqumo sokukhipha umehlokaboni ka-R20 000 kozosiza amtholisele ngezinto ezebiwe kodwa akukhalela kakhulu yile khompyutha enomsebenzi wakhe.

Phakathi kwamanye ama-albhamu abephekwa bekukhona neyentandokazi yakuleli uChomee oqopha ngaphansi kwe-999.

“Noma ngabe kungaqhamuka bani nale khomyutha ngizomkhokhela le mali ngaphandle kwemibuzo eminingi.

Ngisho angathi uyicoshe emgwaqweni ngiyacela nobekade eseyithengile angibuyisele.

Ngiphithene ikhanda, kuyimanje angikazi kahle ukuthi ngabe ngeziphi ezinye izinto ezebiwe,” kusho uMafokate.

Ngenkathi kwenzeka lokhu u-Arthur uthe ubengekho, uthole ngoba esebikelwa omunye wabasebenzi ukuthi usegqekezelwe.

Uqhube ngokuthi kuyamdida ukugqekezelwa kwakhe ngoba kune-alarm kulesi-studio kodwa akucaci ukuthi kwenzekeni ngalo.

Udaba lwakhe uselubike nasemaphoyiseni kodwa uthe ngeke lokhu kuphazamise uhlelo lomklomelo wakhe azowukhipha kozoqhamuka nale khompyutha.

U-Arthur uthe ngisho nomuntu oyintshontshile imbala uma engathanda ukuziveza angamkhokhela le mali benze noxolo ngoba kuzodinga isikhathi esiningi nemali eshisiwe ukuqala phansi wonke lo mculo olahlekile.

“Kuzodla imali eningi kakhulu ukuqala phansi wonke lo msebenzi wabantu. Isikhathi esisichithe sihlanganisa la ma-albhamu sibe side angazi ngizomisa kanjani njengoba sekunje. Ngikhathazekile nengikuzwayo akwenzi mqondo ngoba bese kufanele aphume la ma-albhamu abantu,” kusho kubalisa uMafokate.

Ubengasafune ngane otete ezintathu

$
0
0

Uthi ukhulelwe engahlelile owesifazane waseMlazi obelethe amawele amathathu.

|||

ZANELE MSOMI

UTHI ukhulelwe engahlelile owesifazane waseMlazi obelethe amawele amathathu ngeledlule, elamanisa intombazane eneminyaka elishumi.

UNksz Nelly Buthelezi (36), ngo-Agasti 21 ubusiswe ngamadodakazi amabili nendodana ebeletha esibhedlela eChief Albert Luthuli, eThekwini. UNksz Buthelezi obevele enezingane ezimbili, ubeqala ukuthola ingane kwaMsomi futhi uthi ubengazi ukuthi usengakhulelwa emuva kwesikhathi eside engawuhleli umndeni.

Ngeledlule ubusiswe ngo-Ayabonga, u-Aphiwe no-Amkelwa abazalwe ngenyanga yesishiyagalombili. Yize kungajwayelekile ukuthi amawele amathathu azalwe kungakashayi isikhathi aphile kahle, uNksz Buthelezi uthi odokotela bathe awakhe yimiqemane. Ezalwa ashaye izisindo eziwu-2.25kg, u-2.06kg no-1.9kg.

Ngenxa yokuthi azalwe singakashayi isikhathi, odokotela bamdlulisele esibhedlela eKing Edward, amawele afakwa emabhodleleni njengoba efike ekhaya ngoLwesithathu.

“Ngatshelwa nginezinyanga eziyisihlanu ngisaya emtholampilo ukuthi ngikhulelwe amawele. Ngiqale ngangakholwa futhi ngithuswa yisibalo sawo,” kusho yena.

Uthe ubeke awuhlele umndeni kodwa wabuye wayeka hhayi ngoba ehlose ukuzala. Uthe ubebone sesiside isikhathi engakhulelwa wacabanga ukuthi akuselula.

Uthe akaze abe nenkinga esakhulelwe ngisho esebeletha ngomthungo. Yize ebengahlelanga ukukhulelwa ukujabulele ukuthi abelethe zonke izingane ziphile. Uveza nokuthi ubekade engenayo indodana njengoba nezibulo lakhe elineminyaka ewu-16 kuyintombazane.

UNksz Buthelezi onguthunjana kubo, uthi kuqala ngaye emndenini ukubeletha amawele. Uyavuma ukuthi usazothwala kanzima ngoba kumele alekelelwe ngayo yonke indlela. Kube nzima ngisho ethathwa isithombe ehluleka wukuzigona zontathu izingane.

Uveze nokuthi kuzoba wumqansa ukukhulisa izingane ngoba akasebenzi noyise uthutha izingane zesikole.

“Ngisho ingane eyodwa kuyabiza ukuyikhulisa, mina kumele yonke into ngiyithenge ibe ntathu,” kusho yena.

UMnuz Msizi Msomi (36), onguyise wezingane uthi lwamshaya lwameqa uvalo ezwa kuthiwa bazothola amawele. Yena ubevele enamadodana amathathu nendodakazi eyodwa. Uveza ukuthi akuqali ngaye emndenini ukuba namawele ngoba udadewabo wathola amabili.

“Okuhle wukuthi ubelethe kahle nezingane ziyaphila. Kusho ukuthi sengishaya ngezingane eziwu-7,” ehleka.


Useyaziwa otholwe ebulewe nephoyisa eMlazi

$
0
0

Kugcine kutholakele ukuthi ungubani owesilisa owatholwa eshonile nephoyisa emotweni yalo.

|||

BAWINILE NGCOBO

KUGCINE kutholakele ukuthi ungubani owesilisa owatholwa eshonile nephoyisa laseSydenham emotweni yalo phambi kwesikole uMlazi Secondary, kwa-V ngoMsombuluko.

Isidumbu sikaConstable Sizwe Mhlongo (26) obesebenza eSydenham satholwa emotweni nesidumbu osekutholakale ukuthi ngesikaMnuz Sboniso Shandu (21) waseMkhomazi kodwa obehlala ehostela eGlebe nonina namanye amalungu omndeni.

Laba bobabili batholwa emotweni kaMhlongo sebeshonile babonwa izingane ezaziya esikoleni.

UMhlongo kwavela ukuthi wayekade egcine ukubonwa ngumfowabo ahlala naye ngezithuba zawo-9 ebusuku kanti kuthiwa wavuka ekade eselele ehamba engumuntu obuyayo ngoba kukhona akade ekhuluma naye ku-WhatsApp.

Omakhelwane balapho kwatholakala khona izidumbu kuthiwa bezwa kuqhuma isibhamu kodwa besaba ukuphuma babheke kwaze kwaba yisekuseni.

Unina kaShandu uNksz B R Mthembu, uthe babekade bephuma emngcwabeni kamkhulu kaShandu ngempelasonto, yena wabuya ngeSonto ngoba ezoya emsebenzini kodwa indodana yakhe yabuya ngoMsombuluko.

“Mina ngamgcina ebusuku ngoMsombuluko ngabo-9 eseya endlini alala kuyo,” kusho uNksz Mthembu.

Uthe indodana yakhe ibiyenza izifundo zomthetho e-Unisa.

UNksz Mthembu uthe indodana yakhe bayithole emuva kokuthi sebeqale ukuyibheka ngoba ingabuyi ekhaya.

“Kuthe uma engabuyi saqala safuna, udadewabo wabe esethi uzoke afonele umngani wakhe uSizwe ngoba wayeke akhulume ngaye athi uyiphoyisa,” kusho uNksz Mthembu.

Uthe udadewabo kaShandu ubheke izinto zikamfowabo wayithola inombolo kaSizwe okuthe uma ifonelwa yabanjwa ngamaphoyisa aseMlazi, athi abaphuthume khona.

“Ngifonele umndeni sabe sesiyaphuthuma sayiswa emakhazeni, nangempela sathola ukuthi nguyena,” kusho uNksz Mthembu.

Uthe yena ubengamazi uSizwe kodwa imoto yakhe ubeke ayibone.

“NgoMsombuluko emini uke wafika babonakala behamba ndawonye waze watshela umamncane wakhe ukuthi uSizwe umngani wakhe,” kusho uNksz Mthembu.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Thulani Zwane uthe uphenyo lusaqhubeka ngalesi sigameko.

Imindeni ibanga ukufihla uthisha

$
0
0

Umndeni wakwaMajola uthi siyombiwa ngisho sesingcwatshiwe isidumbu sikamakoti wabo.

|||

SANDILE GUMEDE

UMNDENI wakwaMajola, esigcemeni sakwa L KwaMashu, odabuka eMsinga, uthi siyombiwa ngisho sesingcwatshiwe isidumbu sikamakoti wabo njengoba abalingani babo bakwaMthiyane befuna afihlwe lapho kuthanda bona khona ekubeni washada ngokusemthethweni ngo-2001.

AbakwaMajola bebefisa ukuthi uNkk Nonhlanhla Favourite Majola (46) (osesithombeni), obefundisa eJG Zuma High School, KwaBester angcwatshwe KwaNxamalala eMsinga, kanti abakwaMthiyane bashaya phansi ngonyawo.

UNkk Majola (uMaMthiyane) ushonele esibhedlela, eThekwini Hospital ngeSonto ntambama njengoba wayekade engene engazizwa kahle wagcina ngokushawa uhlangothi.

Umyeni kaNkk Majola uMnuz Mzokhona Majola washona ngo-2002.

Ngokusho kukaMnuz Jabulani Majola (51) ongumfowabo kamyeni kaNkk Majola, inkinga phakathi kwale mindeni eganiselene iqale khona esibhedlela sekubuzeka ukuthi uzofihlwa kanjani.

“Inkinga iqale khona ngeSonto esibhedlela ngesikhathi usibali uKhulekani (Mthiyane) ethi ngokwakhe akafuni kube khona msindo mayelana nokufihlwa kukadadewabo. Wathi uzongcwatshelwa eThekwini, kuthe uma sithi sifisa ayofihlwa eMsinga eduze komyeni wakhe wanqaba,” kusho uMajola.

Kuthiwa uMthiyane ubhoke ngolaka wathi akuzukwenza mehluko ukuthi ungcwatshelwa kuphi nokuyinto ebakhathazile njengomndeni ngoba wonke amalungu omndeni angcwatshwa eMsinga, ngisho nababehlala eGoli imbala.

“Ilapho esiqale ukubona khona ukuthi sengathi abakwaMthiyane basihamba ngemuva ekubeni bamletha kwaMajola. Ubewunkosikazi wakwaMajola ngokungasolekiyo njengoba washada esontweni waphinda wawuphelelisa ngokwesintu,” usho kanje.

Uthe bebenesifiso sokuthi angcwatshwe ngoMgqibelo, kodwa abakwaMthiyane bayakuchitha lokho ngoba akuhambisani nenkolo yabo. Uyise kamufi onguMfundisi kwelinye lamabandla ahlonishwayo, uthe ucela ukuba umlindelo ube ngoMgqibelo, inkonzo iphathwe nguye kanjalo neyomngcwabo, bese abakwaMajola beya komngcwaba ngokwabo.

“Okubuhlungu okushiwo ubaba uMthiyane uma ethi uzophatha inkonzo yomngcwabo khona eNtuzuma, emva kwayo sesingahamba siye komngcwaba.

Uthi ngisho singaya komlahla oThukela akanandaba,” kuchaza uMajola ngokukhathazeka.

Bathi baze baphoqeleka ukuthi bamlande unina, uNkk Francina Majola (77) emakhandleleni ngenxa yokushuba kwesimo.

UMajola uthe bazothatha izinyathelo zomthetho ngalokhu, ngisho ngabe sekungcwatshiwe, okungenani kuzombiwa isidumbu nakuba kuzohlukumezeka ingane yakhe ena-12. Uthe uyabona ukuthi mhlawumbe bacabanga ukuthi bafuna ifa, kanti akunjalo.

“Lokhu asikwenzi ngoba sifuna ifa kodwa inqubo yakwaMajola ukuthi singcwaba ndawonye. Ifa elika-Asande, usengamhlephulela-ke nodadewabo omdala,” usho kanje.

AbakwaMajola bathi bayoya emngcwabeni ngeSonto njengabantu bonke, ngenxa yokuhlukumezeka kwabo.

Kuthintwa uMnuz Khulekani Mthiyane ngalolu daba, uthe ngeke adingide udaba lwemindeni emibili ephepheni, watshela intatheli ukuba inake ezinye izindaba.

“Hlukanani nezindaba zemindeni. Le nto iphakathi kwethu nomndeni wakwaMajola. Hamba uyobhala ezinye izindaba uhlukane nathi phansi,” kusho uMthiyane evala ucingo.

Azophela amahlathi okucasha ezigebengwini

$
0
0

Inhlanzi izoshelwa ngamanzi ezigebengwini ezigila imikhuba KwaZulu-Natal maqede ziyocasha emahostela eGauteng.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

INHLANZI izoshelwa ngamanzi ezigebengwini ezigila imikhuba KwaZulu-Natal maqede ziyocasha emahostela eGauteng kulandela ukuzibophezela kwalezi zifundazwe ekusebenzisaneni ukulwa nobugebengu ngokuhlanganyela.

Lokhu kulandela ukwethulwa kohlelo lokusebenzisana kwesifundazwe iKwaZulu-Natal neGauteng, ukulwa nokwanda kobugebengu nokusebenzisa kwezigebengu amahostela njengezidleke zokucasha.

Izolo uNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu (osesithombeni) uhole ithimba ebelihlangene noNgqongqoshe wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi eGauteng, uNkk Faith Mazibuko.

Lo mhlangano ubusePitoli kanti udaba obeluseqhulwini ngolwezimpi eziqhubeka endaweni yaseMatheni, KwaNongoma.

UMchunu uthe ukubone kumqoka ukuhlanganisa lo mhlangano ngoba abasolwa abaningi ababoshwa ngezigameko zobugebengu KwaZulu-Natal baboshwa emahostela eGauteng. Uthe bakhona nabaganga eGauteng maqede beyocasha KwaZulu-Natal.

Lo mhlangano uphinde wabikelwa ngokuthi lukhona uhlelo lokudala ukuthula okumanje selusetshenzwa emahostela ahlukene eGauteng ngokubambisana namakhosi ezizwe ezahlukene KwaZulu-Natal ngenhloso yokunqanda ubugebengu.

Umhlangano ubuhanjelwe nanguNgqongqoshe wezokuThutha, eGauteng, uMnuz Ismail Vadi, ngenhloso yokuqhamuka namasu okunqanda ukubhebhetheka kwezinkinga zamatekisi ezithinta lezi zifundazwe zombili.

Bekukhona nezithunywa ezivela esifundazweni iMpumalanga naseFree State njengoba lezi zifundazwe zihlanganisa iKwaZulu-Natal neGauteng.

“Baningi abantu baKwaZulu-Natal abalapha eGoli. Lokhu kwenza ukuthi ebe maningi amaqhinga ahlelwayo, okwenza ubugebengu bese abantu bebuya bezocasha. Udaba laKwaNongoma yilo olungumsusa ngoba abantu bafike benze ubugebengu bese bezocasha emahostela eGoli. Yinto efanayo naseMsinga, lapho kwaba nezinkinga zokubulawa kwabantu, abasolwa bebanjwe eGoli. Kumqoka ukuba sibambisane ukuze sikwazi ukuba namasu okunqanda lobu bugebengu,” kusho uMchunu.

Kamuva nje kusanda kubanjwa abasolwa ababili, oMnuz Makhimba Buthelezi noMakho Buthelezi, abasolwa ngokuba yingxenye yempi eqhubekayo KwaNongoma.

Laba basolwa baboshwe eBenoni, ehostela, kanti kutholakale izibhamu eziyisihlanu nezinhlamvu ezingu-37.

Inkinga yamatekisi ethinta lezi zifundazwe zombili ngeyokuthutha abagibeli ngaphandle kwezimvume. Enye inkinga ngeyokuxazulula inkinga yombango kososeshini abahambela eBergville naseGoli.

Lo mhlangano uphethe ngokuzibophezela kwalezi zifundazwe ekwakheni uhlaka lokusebenzisana nokuqhamuka nezinhlelo zokunqanda ubugebengu.

Useze waphuma esibhedlela uTata

$
0
0

UMnuz Nelson Mandela uphumile izolo esibhedlela.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

OWAYENGUMENGAMELI uMnuz Nelson Mandela uphumile izolo esibhedlela wabuyela emzini wakhe eHoughton, eGoli, emuva kokuhlala izinyanga ezintathu esibhedlela.

Izolo kubonakale ama-ambulensi amabili ombutho wezempi emzini kaMandela, enye yawo ipake ngaphandle enye ibonakale isihamba.

Abezindaba bakuleli nabasemazweni angaphandle babonakale bekhandelana emzini kaMandela emuva kokuba sekubonakele nemoto emnyama enezinombolo zomkhosi wezempi okusolwa ukuthi uMandela ubekuyo. Akubona abezindaba kuphela abebekhona kodwa kubonakale namalungu omphakathi emagange efuna ukubona obekwenzeka.

Izolo ekuseni ihhovisi likaMengameli Jacob Zuma limemezele ukuthi uMandela udedelwe esibhedlela iMediClinic Heart Hospital ePitoli emuva kokungeniswa kusona ngoJuni 8 ephethwe yisifo esihambisana namaphaphu nezinso.

“OwayenguMengameli uNelson Mandela kuthe ekuseni ngoSepthemba 1 wadedelwa esibhedlela sasePitoli lapho ebelashelwa khona,” kusho isikhulumi ehhovisi likaMengameli uMnuz Mac Maharaj.

Uthe isimo sikaMandela sisebucayi kodwa siyaguquguquka ngokushintsha kwesikhathi.

“Noma kunjalo ithimba lodokotela lethemba ukuthi uzothola ukunakekelwa okusezingeni emzini wakhe eHoughton,” kusho uMaharaj.

UMaharaj uthe nomuzi kaMandela usuhlelwe ngendlela yokuthi ube sesimeni sokumelana nezidingo zokwelashwa kwakhe.

Bafuna kubuyiswe umhlaba wamaQadi

$
0
0

Isizwe samaQadi nohulumeni basezinhlelweni zokuthi kufakwe isicelo sokukubuyisa umhlaba walesi sizwe ose-Oakford, eVerulam.

|||

BAWINILE NGCOBO

ISIZWE samaQadi nohulumeni basezinhlelweni zokuthi kufakwe isicelo sokukubuyisa umhlaba walesi sizwe ose-Oakford, eVerulam, emuva kokuthi izingane ezakhele le ndawo sezihlupheke isikhathi eside zivalelwa yibhunu elathenga indawo emasisteleni ayesehamba ngo-2009.

Izolo umphakathi wasemaQadini okwakhiwe khona iSacred Heart Secondary ne-Oakford Primary uhanjelwe yiNkosi yesizwe uMqoqi Ngcobo noNgqongqoshe wezeMfundo uMnuz Senzo Mchunu nabanye abaholi, Osindisweni bezowazisa ngeziphakamiso abanazo ezingasiza ukuthi kungaphazamiseki ilungelo lezingane lokufunda.

Umphakathi obuthuthwa ngamabhasi ufike ngobuningi ukuzolalela ukuthi kuzokwenziwa njani njengoba umnikazi wendawo uSolwazi Marius Maritz esevale nesango okungena kulo izingane ezifunda e-Oakford.

Umnyango usuqashe amabhasi athutha izingane azihambise ngendlela edabula esimobeni abazali abangafuni nokuyizwa indaba yayo ngoba isehlane, basabela ukuphepha kwezingane zabo.

UMchunu utshele abantu ukuthi ukudonsisana noMaritz ngendawo akuthinti kuphela izikole kodwa kuthinta umtholampilo, ikhaya labadala, ukuthuthukiswa komphakathi nodaba lomhlaba.

Uthe babhalele uMaritz incwadi ngenyanga edlule bemcela ukuthi avule isango ukuze izingane zikwazi ukungena kahle.

“Impendulo yabuya, wathi ngeke aze alivule isango. Ngakho ngo-Septhemba 6 siyofaka amaphepha enkantolo okumphoqa ukuthi avule isango izingane zingene. Yize lukhona uhlelo lokuthutha izingane ngamabhasi, kudla umnyango ephaketheni ngoba belungekho ohlelweni lwezimali,” kusho uMchunu.

Uthe uma sekuyofakwa isicelo enkantolo kumele abantu bakhuleke.

Uthe into eqaphelekayo ngokuthenga kukaMaritz ukuthi yena wayekade eluleka ngokwezimali amasistela ngaphansi kweDominican Association.

“Ukudayiswa kwalo mhlaba akuvulelekanga kuwo wonke umuntu. Wathenga ngo-R1,5 million, wabe esekhokha isikweletu sikaMasipala sika-R800 000 esasikweletwa ngamasistela,” kusho uMchunu.

Uthe baqala uhlelo lokuthi badle lo mhlaba kodwa kwaba nzima uma sekuvela ukuthi kumele bakhokhele uMaritz isinxephezelo sika-R100 million ngoba lo mhlaba ungabiza leyo mali.

“Siyaxolisa eNkosini nasesizweni ukuthi ngesikhathi sizama ukulwa noMaritz ababikelwanga. Kusukela manje lempi sesizoyilwa siyimbumba, siyiminyango kahulumeni ethintekayo neNkosi, umkhandlu wayo noKhongolose,” kusho uMchunu.

Uthe uMaritz ukhombisa indelelo, ukubukela phansi ilungelo lezingane lokufunda nobandlululo.

Inkosi uNgcobo ithe inhliziyo yayo ibuhlungu ngokwenzeka ezinganeni eseziphazamiseka esikoleni ekubeni sekusondele isikhathi sokubhalwa kwezivivinyo.

Uthe iNkosi uMqhawe lomhlaba okukhulunywa ngawo wawunika amasistela ngoba ezokwakha isonto, akha nezikole nomtholampilo okwakuyizinto ezazinhle zinosizo.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>