Umndeni wakwaMajola uthi siyombiwa ngisho sesingcwatshiwe isidumbu sikamakoti wabo.
|||
SANDILE GUMEDE
UMNDENI wakwaMajola, esigcemeni sakwa L KwaMashu, odabuka eMsinga, uthi siyombiwa ngisho sesingcwatshiwe isidumbu sikamakoti wabo njengoba abalingani babo bakwaMthiyane befuna afihlwe lapho kuthanda bona khona ekubeni washada ngokusemthethweni ngo-2001.
AbakwaMajola bebefisa ukuthi uNkk Nonhlanhla Favourite Majola (46) (osesithombeni), obefundisa eJG Zuma High School, KwaBester angcwatshwe KwaNxamalala eMsinga, kanti abakwaMthiyane bashaya phansi ngonyawo.
UNkk Majola (uMaMthiyane) ushonele esibhedlela, eThekwini Hospital ngeSonto ntambama njengoba wayekade engene engazizwa kahle wagcina ngokushawa uhlangothi.
Umyeni kaNkk Majola uMnuz Mzokhona Majola washona ngo-2002.
Ngokusho kukaMnuz Jabulani Majola (51) ongumfowabo kamyeni kaNkk Majola, inkinga phakathi kwale mindeni eganiselene iqale khona esibhedlela sekubuzeka ukuthi uzofihlwa kanjani.
“Inkinga iqale khona ngeSonto esibhedlela ngesikhathi usibali uKhulekani (Mthiyane) ethi ngokwakhe akafuni kube khona msindo mayelana nokufihlwa kukadadewabo. Wathi uzongcwatshelwa eThekwini, kuthe uma sithi sifisa ayofihlwa eMsinga eduze komyeni wakhe wanqaba,” kusho uMajola.
Kuthiwa uMthiyane ubhoke ngolaka wathi akuzukwenza mehluko ukuthi ungcwatshelwa kuphi nokuyinto ebakhathazile njengomndeni ngoba wonke amalungu omndeni angcwatshwa eMsinga, ngisho nababehlala eGoli imbala.
“Ilapho esiqale ukubona khona ukuthi sengathi abakwaMthiyane basihamba ngemuva ekubeni bamletha kwaMajola. Ubewunkosikazi wakwaMajola ngokungasolekiyo njengoba washada esontweni waphinda wawuphelelisa ngokwesintu,” usho kanje.
Uthe bebenesifiso sokuthi angcwatshwe ngoMgqibelo, kodwa abakwaMthiyane bayakuchitha lokho ngoba akuhambisani nenkolo yabo. Uyise kamufi onguMfundisi kwelinye lamabandla ahlonishwayo, uthe ucela ukuba umlindelo ube ngoMgqibelo, inkonzo iphathwe nguye kanjalo neyomngcwabo, bese abakwaMajola beya komngcwaba ngokwabo.
“Okubuhlungu okushiwo ubaba uMthiyane uma ethi uzophatha inkonzo yomngcwabo khona eNtuzuma, emva kwayo sesingahamba siye komngcwaba.
Uthi ngisho singaya komlahla oThukela akanandaba,” kuchaza uMajola ngokukhathazeka.
Bathi baze baphoqeleka ukuthi bamlande unina, uNkk Francina Majola (77) emakhandleleni ngenxa yokushuba kwesimo.
UMajola uthe bazothatha izinyathelo zomthetho ngalokhu, ngisho ngabe sekungcwatshiwe, okungenani kuzombiwa isidumbu nakuba kuzohlukumezeka ingane yakhe ena-12. Uthe uyabona ukuthi mhlawumbe bacabanga ukuthi bafuna ifa, kanti akunjalo.
“Lokhu asikwenzi ngoba sifuna ifa kodwa inqubo yakwaMajola ukuthi singcwaba ndawonye. Ifa elika-Asande, usengamhlephulela-ke nodadewabo omdala,” usho kanje.
AbakwaMajola bathi bayoya emngcwabeni ngeSonto njengabantu bonke, ngenxa yokuhlukumezeka kwabo.
Kuthintwa uMnuz Khulekani Mthiyane ngalolu daba, uthe ngeke adingide udaba lwemindeni emibili ephepheni, watshela intatheli ukuba inake ezinye izindaba.
“Hlukanani nezindaba zemindeni. Le nto iphakathi kwethu nomndeni wakwaMajola. Hamba uyobhala ezinye izindaba uhlukane nathi phansi,” kusho uMthiyane evala ucingo.