Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Uzibulale nentombi eyiphoyisa usomatekisi

$
0
0

Kuzokhunjulwa iphoyisa lesifazane okuthiwa lidutshulwe yisoka lalo elingusomatekisi nalo lazidubula.

|||

BAWINILE NGCOBO

KUZOKHUNJULWA iphoyisa lesifazane ebelisebenza ophikweni lwezinja eMhlali okuthiwa lidutshulwe yisoka lalo elingusomatekisi nalo lazidubula ngoLwesine.

UConstable Pinky Mthembu (27) kuthiwa wadutshulwa yisoka lakhe uMnuz Celan Iyer (38) obengusomatekisi kusoseshini waKwaDukuza.

U-Iyer kuthiwa ungcwatshwe ngoMgqibelo owedlule. Ngokuthola kweSolezwe bese kuphele inyanga izimoto zika-Iyer zimisiwe ukusebenza kusoseshini.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Thulani Zwane uthe baphenya icala lokubulala.

“Ngo-Agasti 15 nonyaka, indoda eneminyaka engu-38 yadubula intombi yayo eneminyaka engu-27 yashona, nayo yazidubula ekhanda yashona,” kusho uZwane.

Kuzoba nenkonzo yesikhumbuzo kaConstable Mthembu ehholo eShakaskraal ngoLwesine bese efihlwa eMandeni.

Khonamanjalo kugwazwe kwashona iphoyisa laseMadadeni, eNewcastle, okuthiwa ligwazwe ngumuntu okusolakala ukuthi ubehamba nalo.

UZwane uthe uSergeant Mndeni Mabaso (35) ugwazwe ngeSonto ngaphandle komuzi wakhe ngezithuba zawo-8 ebusuku.


Ulanyulelwe wothisha obeshaywa abafundi

$
0
0

kuphazamiseke ukufunda eMlazi Secondary School ngesikhathi abafundi betitinya indoda ebisolwa ngokuntsho-ntsha impahla yesikole.

|||

SIZWE BLOSE

kuphazamiseke ukufunda eMlazi Secondary School ngesikhathi abafundi betitinya indoda ebisolwa ngokuntsho-ntsha impahla yesikole.

Nanokuthi iyaphila kuyomele ibonge othisha abaphume bayikhuzela ezinganeni.

UMnuz Vusi Dumakude, uthishanhloko, uthe bona bakhishwe wukuchwaza obekusesikoleni. bathe uma sebengaphandle babona le ndoda, ebesiphelile yisibhaxu. babe sebeyikhuzela kubafundi.

“Khona akubanga lula ngoba bebebaningi kodwa sigcine sifinyelele phambili kulabo akade beshaya sabakhuza abafundi. Sithinte amaphoyisa afike ayithatha indoda,” kusho uDumakude.

Uthe into ecasule abafundi wukuntshontshwa kwempahla yesikole. emasontweni amabili edlule kwafika izigebengu zantshotsha ikhompyutha yothisha. Bathe besaxakwe yileso sigameko kwaphinda kwantshontshwa osinki abasha abasetshenziswa abafundi uma bephuza amanzi. Uthe sekuyinto eyejwayelekile ukuntshontshwa kompompi namapayipi esikoleni.

“Ulwazi esilutholayo luthi lezi zigilamkhuba zithatha zonke izinto ezizintshontsha esikoleni ziyozidayisa lapho kudayiswa khona izinsimbi. Lokhu kusibuyisela emuva isikole. uma ubheka lesi sikole sihle kakhulu, kuba buhlungu uma sekufika abantu abavele basicekele phansi,” kusho uDumakude.

Uthe uvule icala mayelana nalokhu.

Kwenzeka lokhu nje kusanda kuboshwa abafundi abayisishiyagalombili baseMbumbulu abasolwa ngokushaya babulale uSanele Phewa (18) okuthiwa bebemsola ngokweba. omunye okuthiwa bamshaya kuthiwa usalaliswe esibhedlela.

Laba bafundi babhekene necala lokubulala, basagqunywe esitokisini.

Uthi wayengaqonde kubulala owe-acid

$
0
0

Uphume ngebheyili ka-R1 500 owesifazane obhekene necala lokubulala umnakwabo.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

UPHUME ngebheyili ka-R1 500 owesifazane obhekene necala lokubulala umnakwabo ngokumbhunyela nge-acid emzimbeni.

UNksz Ntombenhle Mkhize (34) izolo ubehleka yedwa eNkantolo yaseMgungundlovu kulandela ukunikezwa ibheyili emuva kokuhlala isikhathi esiyizinyanga eziyisishiyagalombili esitokisini.

Lo wesifazane utshele iMantshi ukuthi uzoliphika icala lokubulala kodwa uyakuvuma ukuthi wamthela umnakwabo uNksz Smangele Mlaba nge-Acid ngoba ecikwa ukuthi wayethandana nendoda yakhe.

Uthe wayeqonde ukuba ubuso bakhe bonakale kodwa wayengahlosile ukuba “akhiphe isidumbu”.

Uthe ubungozi bale acid wayengabuqondi kahle ngesikhathi eyisebenzisa, wayegajwe yisikhwele.

Lesi sigameko senzeka ngonyaka odlule ngoJanuwari, laba besifazane bebesebenza ndawonye efemini edumile eMgungundlovu, iMiguels Bakery.

Ngaphambi kwalesi sigameko kwaba ngengxabano bebanga yona indaba yesoka labo, kwaba sengathi bayaludlulisa kanti ngakusasa uzokwakha itulo lokumbhunyela nge-acid.

UNksz Mkhize waKwaPata kunezinsolo zokuthi i-acid wayithatha ngakubo wase elandela lo wesifazane ayethole ukuthi uthandana nendoda yakhe emuva komsebenzi.

Ngesikhathi sebefika esitobhini kuthiwa wambhunyela kubuka wonke umuntu ebusweni washa kakhulu emzimbeni kangangoba wavele wabucuka ebusweni, abantu ababezama ukumsiza nabo bathola amachaphazelo okusha ezandleni. USmangele washonela esibhedlela.

Izolo iMantshi ithe ubufakazi baleli cala abukaqoqwa kahle yathi umsolwa kade ahlala esitokisini okuyinto ephazamisa indodana yakhe eneminyaka engu-10 engasitholi isibonelelo sikahulumeni ngenxa yokuvalelwa kukanina.

Icala lisazoya eNkantolo yesifunda okuzophuma kuyo usuku oluzoqulwa ngalo.

Bambala kwabafileyo onenkinga ngomazisi wakhe

$
0
0

Lingagcina lishabalele iphupho lensizwa yaseNkandla, eMachubeni, lokuba nguthisha osekuphele iminyaka ihluleka wukuthola umazisi.

|||

MCEBO MPUNGOSE

LINGAGCINA lishabalele iphupho lensizwa yaseNkandla, eMachubeni, lokuba nguthisha osekuphele iminyaka ihluleka wukuthola umazisi ngoba kuvela ukuthi yagula yashonela eSoweto, eGoli, ngo-2010.

UMnuz Mlungisi Shange (24) uthe okumxaka kakhulu wukuthi akakaze alibeke ngisho naseGoli ingasaphathwa eyaseSoweto lapho kuthiwa ithambo lakhe likhona.

Le nsizwa yaphasa uMatric ngo-2011 emuva kokuba ikade ibhalisele umazisi wayo nabanye abafundi ngo-2010 kodwa kwaba iyona kuphela ongabuyanga owayo.

Itshele Isolezwe ukuthi isikole sayivumela ukuba ibhale uMatric yaphasa kodwa impilo yayo imile njengoba ingenawo umazisi.

UShange uthe wabhalisela umazisi emahhovisi oMnyango wezaseKhaya eNkandla ngo-2010 wangawuthola ngoba kuthiwa akasekho emhlabeni.

“Sabhalisa omazisi sibaningi babathola abanye kodwa mina ngasala kuthiwa inombolo yami yesitifiketi sokuzalwa ikhomba ukuthi ngifile,” kuchaza uShange.

Uqhube wathi ngesikhathi ecela ukuthi abamchazele ngokushona kwakhe bamtshela ukuthi wafela eSoweto, engumuntu obegula.

AboMnyango bamyalela ukuthi akabuye azoyilungisa le nto wakwenza konke abathi akakwenze ukuze kuvele ukuthi usaphila. Uthe kuze kube yimanje abakamsizi ngalutho kunalokho bamukhomba ezindaweni eziningi angalutholi usizo kuzona.

Uthe uhleli nesitifiketi sika- Matric akakwazi ukwenza lutho ngisho nokuyobhalisa enyuvesi ukuze aqhubeke nezifundo.

“Bengifisa ukufundela ukuba wuthisha enyuvesi. Ukungabi nawo umazisi akungincishanga nje ithuba lokuthi ngibhalise kodwa kungincishe nemifundaze ebengingayithola ngoba ngathola imiphumela emihle,” usho kanje.

Ngonyaka odlule uShange ukhethe ukuhlala ehostela iDalton eThekwini ukuze abambe amatoho.

Nakhona eThekwini emahhovisi oMnyango wezaseKhaya uthe basamlindisile ngoba emasontweni amabili adlule bambizela khona kodwa bahluleka wukumsiza. Uthe kusamxaka namanje ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi abantu babe nomazisi abafanayo.

“Ngibabuza ukuthi yenzeka kanjani le nto bangitshela ukuthi yiphutha elijwayelekile. Angazi ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi izimoto ezifanayo zihambe emgwaqweni zibhaliswe ngezinombolo ezingafani kodwa thina bantu bahluleke wukusihlukanisa,” kukhala uShange.

Ethintwa yiSolezwe ngalolu daba oyimenenja yoMnyango wezaseKhaya KwaZulu-Natal, uMnuz Albert Matsaung, uthe abalo Mnyango bazozama ukuthola ukuthi idalwe yini inkinga kaShange bazame ukumsiza.

Bavele lahlehla ‘abahlukumezi’

$
0
0

Lidluliselwe enkantolo yesifunda yaseMzimkhulu icala elibhekene nabazali abangu-34 abasolwa ngokuhlukumeza izingane zabo.

|||

PHILI MJOLI

LIDLULISELWE enkantolo yesifunda yaseMzimkhulu icala elibhekene nabazali abangu-34 abasolwa ngokuhlukumeza izingane zabo ngokuzishiya esontweni kuthiwa ziyelashwa.

Umnikazi wesonto, uMnuz Ndumiso Jali noMnuz Sphiwo Mancoba, abazali bezingane ezingu-63 ezineminyaka engaphansi kuka-18 ezashaqwa wuMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kuleli sonto bavele enkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu izolo.

UJali ungumnikazi wesonto iCrusade okukholakala ukuthi lezi zingane zelashwa yilo. Iningi lezingane kuthiwa lidabuka e-Eastern Cape kanti abazali bazo basebenzela iminyango ehlukene kahulumeni wakhona.

UJali ubhekene necala lokuba nesikhungo sezingane esingekho emthethweni nokuvimbela izingane ukuthi ziye esikoleni. Zonke lezi zingane azikaze zilubhade esikoleni ngoba kuthiwa ‘zingezikhethekile’ kumele zifunde imfundiso yesonto kuphela.

UJali noMancoba bangaphandle ngebheyili kaR1 000 kanti abazali bangaphandle ngesexwayiso.

UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi okuyiwo obophe abazali uthe kwephulwe umthetho i-Children’s Act ovikela izingane. Izolo inkantolo ithe amaphoyisa asaqoqa ubufakazi awakakulungeli ukuthi leli cala liqulwe.

Okusemqoka okuphenywayo wukuthi ababoshiwe bangabazali bazo ngempela yini izingane okuhlanganisa ukubhekwa kwemininingwane yokuzalwa kwazo nokuthi iyefana yini nebhalwe eMnyangweni wezaseKhaya. Icala lizongena enkantolo ngo-Okthoba 24.

Isolezwe lavakashela kuleli sonto nyakenye ngenhloso yokuthola ukuthi izingane zihlaleleni kulona zingafundi, uJali wathi ziyelashwa enkonzweni yakhe angayidalulanga athi ayinagama. Akathandanga nokuchaza ukuthi zelashelwa ziphi izifo kanti wagcina esexosha izintatheli ethi usekhathele ukuphendula imibuzo yazo. Izingane nazo zazingaphenduli lutho ezilubuzwayo kodwa zibonakala zikha amanzi emfuleni ezinye ziklabha izinkuni egcekeni.

Ezinye zazisetendeni okuthiwa yilo okusontelwa kulona. Omakhelwane nabo bathi abazi ukuthi lezi zingane ngezakuphi ngoba azikhulumi namuntu kodwa akuzona ezasendaweni.

Bakhala ngempatho abakhubazekile

$
0
0

Uvalelwe ngaphandle kwamasango esikhungo sabaphila nokukhubazeka iNdunduzweni Centre for Disabled, eMlazi, umphathi waso.

|||

SANDILE GUMEDE

UVALELWE ngaphandle kwamasango esikhungo sabaphila nokukhubazeka iNdunduzweni Centre for Disabled, eMlazi, umphathi waso ngabantu abakhala ngempatho engeyinhle kulesi sikhungo bemgxeka ngokuba undlovukayiphikiswa.

Iningi labakhubazekile lapha ngabesifazane abakhala ngomphathi abathi uzixebulela umkhoma emalini engabe iyabasiza ukuthi kulungiswe isimo esingesihle abahlala kuso.

Imizamo yokuthola umphathi wesikhungo, uNkk Thombi Ngcamu, ihlulekile ngoba ubengekho esikhungweni nocingo lwakhe lungena ku-voicemail.

Kodwa okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Ncumisa Fandesi, uthe izinsolo ezibhekiswe kuNkk Ngcamu azilona iqiniso kodwa yingoba kukhona abangahambisani nezinguquko abafuna ukuzenza njengoMnyango.

“Laba bantu abasebenzisanga izinhlaka ezifanele ukuzwakalisa izikhalo zabo, ngakho ngeke sikwazi ukuziphendula kwabezindaba. Inkinga enkulu wukuthi kabafuni ukuhambisana nezinguquko ezizokwenzeka kuleya ndawo,” kusho uNksz Fandesi.

Uqhube wathi umnyango uhlose ukushintsha lesi sikhungo ukuthi kube yindawo yokucija amakhono kubantu abakhubazekile kodwa kungahlali abantu. Uthe abantu bazobuyela emindenini yabo uma sekuqala lolu hlelo.

“Yikho lokhu okudala umsindo,” kusho uNksz Fandesi.

Omunye wabahlala khona, uMnuz Ngilo Gasa (54), ongaboni nosehlale kusukela ngo-1992, uthe kuningi okungalungile esikhungweni – uthi akuhlanzwa namathoyilethe awekho esimeni esigculisayo.

“Utshani bude abugundiwe futhi namathoyilethe awekho esimeni esihle. Ezinye izindlu zinezivalo ezingasavaleki,” kusho uMnuz Gasa.

Isolezwe lizibonele ompompi abavuzayo, utshani obungasikiwe, amathoyilethe angalungisiwe kanye nezicabha ezingasakhiyeki.

Uthe umphathi wendawo akafuni nokuhlala phansi nabo abachazele ukuthi kwenzekani ngaphandle kokuthi ufuna ukubaxosha kule ndawo.

NoNksz Jabulisiwe Buthelezi (63), ohamba ngezinduku, ukhala ngokuthi umphathi akabahloniphi ekubeni bekhubazekile. “Kwakungcono kusaphethe abelungu, kwanele kwangena bona akuphindanga kwalunga,” kusho uNksz Buthelezi, naye othe kade wafika kulesi sikhungo.

Uqhube wathi ngisho uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Weziwe Thusi, uyalwazi usizi lwabo. Uthe wafika ngonyaka odlule “kodwa wahamba amalombo kade ethe uyabuya”.

“UNkk WeziweThusi wafika ngoNovemba 5 ngonyaka odlule ezozwa ukuthi sikhala ngani. Wasithembisa ukuthi uyabuya, namanje sisalindile,” kuqhuba uNksz Buthelezi.

Sibuyele kwengu-12 isigwebo kuCwele

$
0
0

Inkantolo yoMthethosisekelo isehlisile isigwebo somshushumbisi wezidakamizwa, uSheryl Cwele.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

INKANTOLO yoMthethosisekelo isehlisile isigwebo somshushumbisi wezidakamizwa, uSheryl Cwele sisuka eminyakeni engu-20 saya kwengu-12.

Ummeli omusha kaCwele, uMnuz ZE Buthelezi, ukuqinisekisile lokhu izolo ekuseni ukuthi ikhasimende lakhe livunwe yiNkantolo yoMthetho-sisekelo.

“Njengoba umbuso ungazange usiphikise isicelo sethu, inkantolo ikhiphe umyalelo wokusiguqulela eminyakeni engu-12 isigwebo,” kusho ummeli.

Inkantolo izolo inqume ukuthi obengumka-Siyabonga Cwele, ongungqongqoshe wezobuNhloli, akanikwe isigwebo esifanayo naboshwe naye uFrank Nabolisa.

Ngokwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo esikhishwe ngamaJaji angu-11 abehleli ebhentshini, umbuso awuphikisananga nesinqumo.

Inkantolo isibeke eceleni isigwebo seminyaka engu-20 esasikhishwe yiNkantolo ePhakeme yokweDlulisa amaCala.

UKhomishana wezamaJele KwaZulu-Natal, uMnuz Mnikelwa Nxele, uthe bebengakaziswa lutho ngesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo, esho izolo.

Uma uCwele ewuthola ushwele wokukhululwa kweziboshwa owamenyezelwa nguMengameli Jacob Zuma ngo-Ephreli angahle ahlale iminyaka emithathu kuphela kulesi sigwebo sakhe bese ekhishwa ngoshwele.

Sekunjalo ngabanikazi abasha beSolezwe

$
0
0

Inkampani yaseNingizimu Afrika, iSekunjalo Independent Media, isingabanikazi abasha be-Independent News and Media.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

INKAMPANI yaseNingizimu Afrika, iSekunjalo Independent Media, isingabanikazi abasha ngokusemthethweni benkampani enkulu yokushicilela i-Independent News and Media. Lokhu kuqinisekiswe izolo emuva kokuphothulwa kokusayinwa kwezivumelwano ngeledlule.

UDkt Iqbal Surve onguSihlalo weSekunjalo uthe akakwazi nokukhombisa indlela ajabule ngayo.

“Ukubuyela kwaleli bhizinisi ezandleni zabakuleli kuzokwenza omkhulu umehluko njengoba amaphaphendaba angaphansi kwale nkampani enza izinguquko empilweni yabantu nasemnothweni,” kusho yena.

USurve uthe usejahile ukuhlangana nabasebenzi benkampani abazoba namavenge.

NgoJuni nonyaka abanikazi be-Independent News and Media e-Ireland bakuqinisekisile ukuthi bavotele iSekunjalo ukuthi kube yiyo ethenga inkampani. Kulindeleke ukuthi iSekunjalo ibe no-75% wamavenge bese kuthi iPublic Investment Corporation (Pic) ibe no-25%.

Phakathi kwezinhlaka ezizohlomula ngamavenge kubalwa iSekunjalo Investment Holdings, iKopano Ke Matla engaphansi kweCosatu, i-SA Clothing and Textile Workers’ Union Investment Group neFood and Allied Workers’ Union.

UMnuz Vincent Crowley we-Independent News and Media uthe akangabazi ukuthi ibhizinisi lizodlondlobala ezandleni zeSekunjalo. OyiChief Investment Officer ye-Pic, uMnuz Daniel Matjila, uthe benza ucwaningo ngakho abangabazi ukuthi kube yisinqumo esihle ukunikezela inkampani kwabakuleli.

I-Independent News and Media ingabanikazi bamaphephandaba Isolezwe, Cape Times, Cape Argus, Weekend Argus, Daily Voice, The Star, Pretoria News, Saturday Star, Sunday Independent, Diamond Fields Advertiser, Weekend Pretoria News, Daily News, The Mercury, Post, Independent on Saturday neSunday Tribune.


Bamashele ukuhlukunyezwa kwesibhuda

$
0
0

Bagubhe inyanga yabo ngokumasha abantu besifazane base-Mbumbulu namaphethelo.

|||

BAWINILE NGCOBO

BAGUBHE inyanga yabo ngokumasha abantu besifazane base-Mbumbulu namaphethelo bezwakalisa ukungaha-mbisani nokuhlukunyezwa ikakhulukazi ukubulawa kwabesifazane okudlangile kule ndawo.

Labo mama abebehambisana namaphoyisa esifazane aseMbumbulu naseMlazi, abezinhlaka ezehlukene ezilwa nokuhlukunyezwa okubalwa neBobbi Bear, bamashe besuka ezitolo eMbumbulu baze bafika enkundleni yezemidlalo Empandwini.

Laba besifazane bebehamba bedlulisa umyalezo wokuthi abahambisani nokuhlukunyezwa kwabo, izingane nezalukazi.

Esehlakalweni esenzeke ngoLwesithathu, umfundi kaMatric waseCharles Sabela Secondary oneminyaka engu-22 uphuthunyiswe esibhedlela emuva kokuthi edutshulwe ngowayeyisoka lakhe, ongusomatekisi naye ogcine ngokuzidubula.

Lo mfundi ulaliswe esibhedlela kanti owayeyisoka lakhe ugcine ngokushonela esibhedlela.

UMphathi-siteshi saseMbumbulu uColonel Thembi Dube obehola le mashi unxuse amalungu omphakathi ukuthi asebenzisane namaphoyisa ukuze kubanjwe abasuke behlukumeza.

“Ogogo bayadlwengulwa baphucwe imali yempesheni uma beholile, izingane zinukubezwa ngokocansi, abesifazane bayahlukunyezwa, abanye bayabulawa ngabayeni namasoka abo. Konke lokhu asihambisani nakho, uma kunokuhlukumeza abantu ababike silwe nakho kungaze kuphume isidumbu,” kusho uCol Dube.

Uthe bengamaphoyisa abesifazane eMbumbulu benza konke okusemandleni ukulekelela umphakathi ngisho nangezidingo zawo nokuwuxhumanisa neminyango kahulumeni efanele.

“Sifuna ukuthi abantu bazi ukuthi bangathembela kithi singamaphoyisa. Siyasebenzisana kakhulu namakhosi nezinduna kule ndawo sichaza ngamacala akwazi ukuthi awaqule nokufanele alethwe emaphoyiseni. Ingane uma idlwenguliwe awukwazi ukuthi kukhishwe isinxephezelo sekesi nebhodlela bese kuyadlula. Lolo daba lusuke seludinga amaphoyisa,” kusho uCol Dube.

Kulo mcimbi bekukhona neziboshwa zasejele laseWestville zabesifazane ezidonsa izigwebo ezehlukene ebezizogubha kanye nomama baseMbumbulu lolu suku.

Abakwa-Bobbi Bear, uMnyango wezoBulungiswa nenhlangano yabafelokazi, iMasithwalisane Womens Forum bathole ithuba lokuchazela umphakathi ngabakwenzayo nangokuthi abantu bangenza njani ukuthola usizo kubo.

Kutholwe isidumbu sosana ebhakedeni

$
0
0

Lithukuthele liyaveva ikhehla lihlangabezana nebhakede ebelinesidumbu sosana olusanda kuzalwa phambi komnyango walo.

|||

NOKUBONGWA PHENYANE

LITHUKUTHELE liyaveva ikhehla elineminyaka engu-81, lihlangabezana nebhakede ebelinesidumbu sosana olusanda kuzalwa phambi komnyango walo izolo ekuseni KwaMancinza, ngaKwaMashu.

Lesi sigameko sishiye uMnuz Alfred Nzimande eshaqekile njengoba esenxuse amalungu omphakathi ukuthi amsize athole unina wale ngane ukuze aboshwe.

Uthe uyokhohlwa efile yilesi sigameko esimvelele angazi ukuthi osenzile ubehlose ukuthi umphakathi umbheke kanjani.

“Ngizihlalela ngedwa la ekhaya lona owenze lokhu ukwenze ngoba ebona ukuthi akukho muntu ozombona futhi sengilele ngoba sengimdala. Angilazi leli bhakede ukuthi ngelaphi,” kusho uNzimande.

Uthe ngaphakathi kuleli bhakede elingu-20lt bekukhona ingane, ummese, isikibha nomzanyana wayo futhi kubonakala ukuthi ibelethwe ebusuku ngoba igazi kuyo belisemanzi.

“Ngeke ngiphele amandla umuntu owenze lokhu engakaboshwa, ungithele ngehlazo nangamabhadi ukuzobeka isidumbu phambi komuzi wami ngoba engibukela phansi,” kuchaza yena.

Owesifazane ongathandanga negama lakhe othe yibona ababizwe uNzimande ngesikhathi ebona lokhu, uthe kuyadumaza lokhu okwenzekile.

“Besihamba emgwaqweni nomunye umngani wami sabizwa wumkhulu ezosikhombisa ingane ebhakedeni, bengingakholwa ngoba ngithathe ukuthi umkhulu mdala ngakhetha ukuzozibonela mina,” kusho lo wesifazane.

Uthe ngesikhathi befika baqonde kulona bayithola ingane base behlaba umkhosi baze baya ngisho emaphoyiseni beyobika lolu daba.

“Sivele sakhala ngesikhathi sibona ingane, kube buhlungu kakhulu sesiyibona ebhakedeni ibheke phansi ngobuso, sicabanga isihluku esenziwe yilona wesifazane,” kuchaza yena.

UCaptain Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe kuvulwe icala ngemuva kokutholakala kwale ngane, basaphenya.

Lihlehlele elizayo elikamama wetulo lamadodana

$
0
0

Uzocela ibheyili ngesonto elizayo owesifazane osolwa ngokwakha itulo lokubulala amadodana akhe amabili.

|||

BAWINILE NGCOBO

UZOCELA ibheyili ngesonto elizayo owesifazane waseGamalakhe ePort Shepstone osolwa ngokwakha itulo lokubulala amadodana akhe amabili ukuze ahlomule emalini yomshuwalense.

UNkk Nokukhanya Dorothy Langeni (50) bekufanele avele izolo eNkantolo yeMantshi ePort Shepstone kodwa inqwaba yabantu abebezothamela icala lakhe itshelwe ukuthi uvele ngoLwesithathu icala lakhe lahlehliswa.

Icala lakhe lihlehliselwe uLwesithathu Agasti 28 ukuze acele ibheyili. Manje usagcinwe ezitokisini.

Inkantolo ibigcwele ichichima abantu abebehambele leli cala abanye abebengamazi abezwe ngodaba lwakhe kwabezindaba base bephuthuma enkantolo befuna ukuyozibonela yena.

Kule nkantolo bekukhona nezihlobo zakhe namadodana akhe, uNkanyiso (24) noNkazimulo (21) okuthiwa ubakha itulo lokuwayisa kwagoqanyawo.

UNkk Langeni uboshwe ngoLwesibili emuva kokuthi ecushelwe umgoga ngamaphoyisa.

Kuthiwa wacela isihlobo sakhe ebesiboshiwe ukuthi simsize ukusoconga amadodana akhe ukuze athole imali yomshuwalense okungakaziwa ukuthi yimalini.

Lesi sihlobo kuthiwa sathinta amaphoyisa, kwaqala uphenyo.

Kuthiwa satshela umsolwa ukuthi kukhona umuntu esimtholile ozosisiza ukuze umsolwa aqede ngamadodana akhe.

Umsolwa wabe esehlangana nenkabi, ayengazi ukuthi iyiphoyisa, wayichazela ukuthi ufuna ukuthi amadodana akhe abulawe kanjani.

Kuthiwa wathembisa inkabi ukuthi uma iwenze kahle umsebenzi wokubulala amadodana akhe uzoyinika eminye imisebenzi emithathu.

Inkabi ibithenjiswe u-R25 000 indodana ngayinye ebizoyibulala kodwa umsolwa kuthiwa ubekhala ecela isaphulelo ngoba phela beyimibili imisebenzi abeyinike inkabi.

Umsolwa uboshwe ngoLwesibili emuva kokunika inkabi izithombe zamadodana akhe, eyayizozisebenzisa ukuze iwabone kahle uma isizowabulala. Wayinika no-R350 kaphethiloli.

Kuthiwa amadodana kamsolwa asathukile kakhulu ngokuboshwa kukanina ngetulo lokuwabulala ngoba abehleli kahle naye engasoli lutho.

Umyeni kamsolwa kuthiwa washona eminyakeni eyedlule emuva kokudla ubuthi.

Kubhekwe ozovala esikaMkhize eKZN

$
0
0

UMnuz Senzo Mchunu uqokelwe ukubamba okwesikhashana isikhundla sokuba wuNdunankulu.

|||

MLUNGISI GUMEDE

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal ophumayo uDkt Zweli Mkhize izolo uqinise idolo abantu bakulesi sifundazwe wathi ubashiya ezandleni ezikhethekile zalowo ozobamba lesi sikhundla uMnuz Senzo Mchunu kuze kube uMengameli Jacob Zuma oqoka omunye ngokusemthethweni ngoSepthemba 1.

Esithangamini sabezindaba eThekwini, uMkhize umemezele ukuthi uyashiya njengoNdunankulu ngemuva kokuphatha lesi sikhundla kusukela ngoMeyi 2009.

Yize uMkhize ekhombise ukubethemba ubuholi besifundazwe ngaphansi kwesandla sikaMchunu, ukuqoka ozomlandela akukho ezandleni kodwa kukaZuma nekomidi eliphezulu le-ANC.

UMkhize onguMgcinimafa we-ANC eLuthuli House uthe akanalo noluncane uvalo ngobuholi be-ANC esifundazweni obuholwa wuMchunu (Senzo) nephini lakhe ku-ANC eKZN uMnuz Willies Mchunu.

“Nginethemba lokuthi iqembu lami i-ANC izoqala izinhlelo ukwenza isiqiniseko sokuthi uNdunankulu omusha uzobe eseqokiwe kusukela ngoSepthemba 1 nonyaka,” usho kanje.

UMchunu uzobamba njengoNdunankulu kusukela namhlanje kuze kube u-Agasti 27, ngesikhathi uMkhize engekho ehambe noMengameli Jacob Zuma beseMalaysia.

“Ngixoxisene nobuholi be-ANC ezingeni likazwelonke nelesifundazwe ngesinqumo sami bavumelana nami bathi bayasiseka isinqumo sami,” usho kanje.

UMkhize ubonge abantu baKwaZulu-Natal ngokumnika ithuba lokuhola isifundazwe, wengeza ngokuthi ukusekwa akutholile kwenze isikhathi sakhe njengoNdunankulu singalibaleki.

Unxuse umphakathi wakulesi sifundazwe ukuba uqhubeke nokuseka uNdunankulu omusha ngoba ngaphandle kokusekwa ngeke akwazi ukuba wumholi ofunekayo.

“Ngiyathemba ukuthi iKwaZulu-Natal izoqhubeka ibe isifundazwe esinokuthula futhi esiphumelelayo eminyakeni eminingi ezayo, uKhongolose ubambe izintambo zombuso ushintsha nempilo yabantu ibengcono,” usho kanje.

Njengoba uMchunu (Senzo) eqokwe ukuthi abambe njengoNdunankulu, sekunemibiko esisabalele ukuthi vele nguyena ozoqokwa kuthi asithathe ngokusemthethweni lesi sikhundla.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMkhize ubenguSihlalo we-ANC futhi enguNdunankulu wesifundazwe, okwenza ukuthi kulindeleke ukuthi kwenzeke okufanayo nakuMchunu onguSihlalo wenhlangano osekusele ukuthi akhethwe abe nguNdunankulu.

Engqungqutheleni ye-ANC eMangaung kwaphakanyiswa ukuthi uSihlalo wenhlangano esifundazweni aphinde abe nguNdunankulu ngenhloso yokugwema ukuba nezinkunzi ezimbili esibayeni esisodwa.

Umholi we-DA KwaZulu-Natal uMnuz Sizwe Mchunu uthe bayakwamukela ukushiya kukaMkhize njengoNdunankulu waKwaZulu-Natal.

“Uzokhumbula ukuthi besihlale sikhala ngokuthi isifundazwe sidinga umuntu onesikhathi futhi ozozibambela mathupha ezintweni okuyinto ebimhlula uMkhize. UbenguNdunankulu obenza izinkulumo ezinohlonze kodwa ebezingayishintshi impilo yabantu,” kusho uMchunu.

Uthe u-10% womasipala KwaZulu-Natal abaphucwe amandla ngenxa yokungaphathi kahle ngaphansi kobuholi bukaMkhize.

Okhulumela i-IFP uMnuz Joshua Mazibuko uthe bamfisela inhlanhla uMkhize emsebenzini wakhe omusha kodwa wathi ushiye isikweletu KwaZulu-Natal ngokuhluleka ukudala ukubuyisana phakathi kwe-ANC ne-IFP.

USolwazi uNhlanhla Khubisa we-NFP uthe uMkhize usebenze ngokukhulu ukuzikhandla ekuthuthukiseni abantu.

Umhlaziyi wezepolitiki ozimele uMnuz Zakhele Ndlovu uthe uMkhize uzokhumbuleka ngokuthi ukhulise kakhulu isibalo samalungu aKhongolose esifundazweni kanti uMchunu (Senzo) kusamele aziveze ukuthi uphetheni uma eseqala ukusebenza.

UNdlovu uthe njengoba laba baholi bephuma enhlanganweni eyodwa baqhuba imigomo efanayo akukho okuningi okungalindeleka ukuthi kwehluke ebuholini babo.

Ubesanda kuthola isikhundla obulewe

$
0
0

Kusolwa ukuthi udutshulelwe isikhundla abesanda kuqokelwa kusona usomatekisi waKwaMashu kwa-J.

|||

NOKUBONGWA PHENYANE

KUSOLWA ukuthi udutshulelwe isikhundla abesanda kuqokelwa kusona usomatekisi waKwaMashu kwa-J, obulawe ngoLwesithathu ebusuku emi nomunye wozakwabo embonini.

UMnuz Sibusiso Raphael Zulu (49), obedume ngelikaKhehla enamatekisi ahambela KwaMashu naseThekwini, ushonele emgwaqweni kwa J ngemuva kokuthi kuqhamuke owesilisa omdubule amahlandla awu-7.

Ngokuthola ngomthombo osemaphoyiseni kusolwa ukuthi uZulu udutshulelwe isikhundla sakhe abaningi abakade besigaqele.

“Uma sithola kuthiwa umufi ubesanda kuqokelwa esikhundleni ngakho abaningi bayasho ukuthi ufele sona ngoba bekungumuntu wawo wonke umuntu,” kusho lo mthombo.

Uthe kodwa kusaphenywa ngazo zonke izinsolo abazizwayo ukuze baqinisekise abanakho.

UZulu kuthiwa ubehamba ngenye yezimoto zakhe ngesikhathi emiswa uzakwabo waphumela ngaphandle kwemoto kwase kuqhamuka owesilisa wamdubula.

UNkk Gugu Zulu, umka mufi, uzichithile lezi zinsolo wathi bona bengumndeni ngeke basho ukuthi basolani kodwa bazolindela uphenyo lwamaphoyisa.

“Sidumele kakhulu kodwa siyazi ukuthi imboni yamatekisi kunzima ukusebenza kuyo ngoba ungalindela nona yini. Ngeke sisho ukuthi umyeni wami udutshulelweni kodwa yena wayeshilo ukuthi kukhona ukungezwani okukhona kusosesheni wabo futhi nokuthula akusekho,” kusho uNkk Zulu.

Uthe ungene kulesi sikhundla sokuba wusihlalo ekuqaleni kwalo nyaka. mdala kule mboni eyibhizinisi lomndeni.

“Nami ngifike endaweni yesigameko esephelile futhi kungasekho muntu ositshela ukuthi kwenzekeni bese kunesiphithiphithi,” kusho yena.

Uthe uyanxusa ukuthi kube nokuthula embonini yamatekisi wathi izigameko ezifana nalezi bebezibukela kude kodwa manje sezikubona kodwa akafisi ukuthi kwenzeke komunye.

Unxuse abantu abasembonini ukuthi bayeke ukubulalana ngoba lokhu kushiya izingane eziningi ziyizintandane.

“Nathi sihlezi lapha ekhaya sinovalo asazi ukuthi kungalandela bani, okwenzakalile kusithusile kakhulu singumndeni,” kuchaza yena.

Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Thulani Zwane, uthe amaphoyisa avule icala lokubulala. asaqhubeka nophenyo kodwa akukaboshwa muntu ngalesi sigameko.

Usola unina osolwa ngokuhlukumeza

$
0
0

Ithukuthele iyaveva indodakazi okwavela umbiko wokuthi ihlupha isalukazi.

|||

MNCEDISI GOGE

ITHUKUTHELE iyaveva indodakazi okwavela umbiko wokuthi ihlupha isalukazi ngokuchitha indle nomchamo endlini ngoba ifuna ukungena ngenkani kule ndlu.

Isolezwe lisanda kubika ngoNkk Gladys Ngcobo (88) waseLamontville, owayethi uhlushwa yindodakazi yakhe uNksz Lungile Shange (49) ngokuchitha itshe lentaba endlini.

Ngokusho kukaNksz Shange unina nguyena “oyiphixiphixi eliqamba amanga” yingakho eseze wamfaka enkantolo ngenxa yokuthi ugweve nomuzi wakubo awudayisa isinyelela.

“Umama nguyena umuntu oyisigebengu kufanele engabe kade waboshwa kodwa kuvimba ukuthi usemdala ngisho nomshushisi washo ukuthi usekhathele yisalukazi esinamanga. Ngelinye ilanga wakhumulela amaphoyisa ayezomthatha. Akugcinanga lapho ngelinye ilanga wavezela amaphoyisa iziketi waziqulekisa futhi,” kulandisa uNksz Shange.

Uthe ayikho indaba yokuthi uchitha umchamo nendle futhi unina useluthe abaningi ngamanga akhe.

Uthe maningi amacala asemvulele wona okubalwa kuwo elokukhwabanisa njengoba adayisa umuzi wakubo isinyelela.

“Ngafika kumama ngo-2006 ngoba sengihlulekile ukuthola enye indawo yokuhlala ngemuva kokuthi ngihlulekile emshadweni. Wathi khona umuzi asengitholele wona ezihlobeni KwaGijima (khona eLamontville). Ngakhishwa amaphoyisa kulowo muzi ngoba sekutholakale ukuthi akusiwona owakhe.

“Ngabuyela futhi kuyena ngathi mama sengikhishiwe endlini, wathi angigxumeke umjondolo wami ngaphandle usazama ukungitholela enye indawo. Yilapho-ke engiqale khona ukusola ukuthi umuzi wakithi oseMlazi, kwa-L wawudayisa ngendlela engekho emthethweni njengoba mina njengomuntu okwakufanale asayine amaphepha ngingatshelwanga,” kusho uNksz Shange.

Uqhube wathi unina ungumuntu ononya yingakho ehlala yedwa futhi nezinye izingane zakhe zamshiyiswa yibona ububi bakhe.

Indodakazi kaNkk Ngcobo ecele ukungadalulwa ngenxa yomsebenzi ewenzayo, ithe indaba ephakathi kwanina noNksz Shange yinto engayinaki ngoba bayafana, akekho ofuna ukwehlisa umoya kuthelelwane amanzi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi khona icala eliphenywayo.

Uthe wonke umuntu otholakala enecala uzobhekana nengalo yomthetho noma ngabe mdala kangakanani.

Ishintshile impilo kwabakhubazekile

$
0
0

Sebegcine belutholile usizo lwezindawo ezingcono zokuhlala abaphila nokukhubazeka baseNanda.

|||

LUNGI LANGA

SEBEGCINE belutholile usizo lwezindawo ezingcono zokuhlala abaphila nokukhubazeka baseNanda abake bakhala ngokuhlala endaweni engahambisani nesimo sabo sokukhubazeka.

UMnuz Sibongiseni Mahlanze (32) ongaboni uthe babuyelwe yithemba emuva kokuthi yena, umalume wakhe uMnuz Mandlenkosi Mahlanze (40) ongakwazi ukuhamba nomakhelwane wabo ongaboni uMnuz Mhlangabezi Vumba (28), bethole izindlu zomxhaso endaweni yaseCongo, eNanda.

Uthe bebengazitsheli ukuthi bayogcina besizakele njengoba bese kunesikhathi behlala endaweni ebathwalisa kanzima bengabantu abakhubazekile.

Bebehlala endaweni eseduze komhosha obekungahambeki kahle kuyo.

“Ngangithi uma ngiwela ngiwe ngize ngidinge umuntu ozongikhipha emhosheni bese ngiphindela ekhaya ukuze ngishintshe izimpahla zokugqoka,” kusho uMahlanze.

Isolezwe livakashele kuyo le ndawo abebehlala kuyo ngonyaka odlule lathola ukuthi bekunzima ukuwela emhosheni ngisho kubantu abangakhubazekile.

Manje akusekho bunzima njengoba indawo asebehlala kuyo seyisesimeni esikahle.

“Manje sengikwazi ukuhamba usuku lonke ngaphandle kokuthi ngidinge ukushintsha izimpahla nezicathulo ngoba ngingene odakeni futhi sekulula ngisho ukuya esitobhini ukuze ngithole izinto zokuhamba,” kusho uMahlanze.

UVumba uthe okwenzeke kubo kubenze babuyelwa yithemba lokuthi izinto ziyakwazi ukushintsha zibe zinhle.

“Sasingazitsheli ukuthi ngelinye ilanga singakwazi ukuhlala ezindlini ezinjena,” kusho uVumba.

Ushintsho luqale ngawo unyaka odlule ngesikhathi amalungu esiShayamthetho ayevakashela le ndawo, enikelela umalume kaMahlanze ngesihlalo samasondo.

UMahlanze ubonge bonke ababe nesandla ekutheni bakwazi ukufi-nyelela lapha bekhona okubalwa kubo nekhansela lendawo uMnuz Sduduzo Khuzwayo.

UKhuzwayo uthe kuyabajabulisa ukuthi igcine iphumelele imizamo yokubasiza njengoba kunezinhlelo eziningi okusuke kufanele badlule kuzo ngaphambi kokuthi abantu bafakwe ezindlini zomxhaso.

“Kade sasizama ukulungisa isimo abebebhekene naso oMahlanze kwawukuthi uma kunohlelo lwezindlu kusuke kufanele sihambise ngalo ukuze bonke basizakale njengoba kusuke kuhleliwe. Ngenhlahla bekunezindlu ezintathu esikwazile ukuthi sibafake kuzona,” kusho uKhuzwayo.


Kudingidwa eyezikhangiso zotshwala

$
0
0

Uzobekwa ezithebeni zePhalamende umthetho osahlongozwa wokuvala izikhangiso zotshwala kuleli.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

UZOBEKWA ezithebeni zePhalamende umthetho osahlongozwa wokuvala izikhangiso zotshwala kuleli.

Ikomidi elihlanganisa ongqongqoshe abahlukene elibhekele ukulwa nokusetshenziswa kotshwala nezidakamizwa livumelene ngokwethula lo mthetho ohlongozwayo wokuvala ukukhangisa utshwala, i-Draft Control of Marketing of Alcohol Beverages Bill.

Leli komidi eliholwa nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kuzwelonke, uNksz Bathabile Dlamini elihlanganisa ongqongqoshe abangu-11 beminye iminyango livumelene ngokuthi lo mthetho osahlongozwa sewukulungele ukubhekwa yiPhalamende ngenhloso yokuthi unekelwe umphakathi ukuze uphawule ngawo.

Ngokwesitatimende esikhishwe wumnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, ucwaningo lukhombisa ukuthi amazinga okusetshenziswa kotshwala nezidakamizwa ngabantu asebekhulile akhuphuka ngokushesha kuleli.

Lokhu kunyuka kwezinga sekuholele nasekutheni kuphazamise ukuphilisana kwemindeni nemiphakathi.

Leli komidi lithe ngeke likwazi ukuyeka lesi simo siqhubeke.

Lithe imizamo yemboni yotshwala yokuzama ukunciphisa izigameko ezihambisana nophuzo olweqile efana nokugqugquzela abantu ukuthi baphuze ngokucabangela.

Livumelene ngokuthi le ndlela ihambisana nemiphumela yocwaningo oluhlukahlukene oluqoqwe emhlabeni jikelele oluthi kuningi okudingeka kwenziwe ukulwa nezinkinga ezihambisana notshwala okubalwa kukho ukuvalwa kwezikhangiso zotshwala, ngokusho kwesitatimende.

Iminyango kahulumeni yethule imibiko ngemiphumela yokusetshenziswa kotshwala emphakathini.

UMnyango wezeMpilo uveze ukuthi abantu basebenzisa imali elinganiselwa ku-R38 billion ngotshwala eNingizimu Afrika kanti kulindeleke ukuthi leli nani likhuphuke uma kubhekwa ngendlela utshwala obuphuzwa ngayo.

Utshwala bubalwa njengesizathu sesithathu kweziholela ekukhubazekeni kwabantu nasekufeni kwabo.

NgokoMnyango wezokuThutha utshwala bunomthelela omkhulu ezigamekweni ezingaphezu kukahhafu zokufa kwabantu emgwaqweni.

Kuphinde kwavela ukuthi u-70% wezigameko zokuhlukunyezwa kwabantu behlukunyezwa ngamalungu omndeni zihambisana nabo belu utshwala.

Asebeke baboshelwa amacala ahambisana nokuphathwa kwezikhali, ukudlwengula, ukubulala namanye babika ukuthi babesuke bephuze utshwala ngokweqile.

Abamise kabi ‘amankentshane’

$
0
0

Ukhathazekile umphakathi waseMangangeni, eNdwedwe,othi uhlaliswe lubhojozi ‘amankentshane’.

|||

SANDILE GUMEDE

UKHATHAZEKILE umphakathi waseMangangeni, eNdwedwe,othi uhlaliswe lubhojozi ‘amankentshane’ aqhoboza izimbuzi zawo, nothi usunovalo ngokuphepha kwezingane ezincane.

Lo mphakathi uthe le nkinga iqale ngonyaka odlule ngenkathi imizi eminingi ilahlekelwa yizimbuzi uma zisedlelweni bazitshela ukuthi ziqedwa ngamasela kodwa muva nje sebezibonele ukuthi kanti yizinja lezi eziyinkinga eseziqede izimbuzi zabo.

UNkk Phendukile Hlophe, ongomunye wabakhathazekile kule ndawo, uthe lezi zinja ziyinkinga ngoba ziqhoboza kwasani.

“Kade sasilahlekelwa yizimbuzi emadlelweni sicabange ukuthi ngamasela kanti cha. NgoJulayi ngashayelwa yizingane ucingo ngisemhlanganweni zingitshela ukuthi izimbuzi sezidliwe yizinja nokuyinto ephinde yenzeka ngoLwesithathu,” kuchaza uNkk Hlophe.

“Kuthiwa kwabonakala amankankane engunge okuthile okwathi uma kubhekwa kwabonakala ukuthi lezi zinja sezidle izimbuzi zashiya. Ngidlelwe ezine ngoLwesithathu kodwa sibaningi esesidlelwe. Nami ngake ngazibona lezi zinja ezazingaphezu kuka-15,” usho kanje.

Uqhube wathi kuzoba nomcimbi kwakhe ngoSepthemba 1 kanti kuzoba nzima ngoba kuyacaca ukuthi yizinja ezithanda inyama lezi.

Ufakazelwe nguMnuz Bhekuyise Mthiya othe esikhathini esiyizinyanga ezimbili usedlelwe izimbuzi eziyisithupha. Uthe uma bewabikela amaphoyisa batshelwa ukuthi kudingeka bazishaye izinja.

“Kunehlathi eziqhamuka kulo manje asiqondi ukuthi ngabe yizinja ezejwayelekile noma amankentshane. Kodwa zona azikhonkothi uma uzama ukuzithusa zivele zikugwavumele ugcine ubona ukuthi kwawena awuphephile,” kusho uMthiya.

UMnuz Mkhipheni Maphumulo yena uthe kumanje usele nezimbuzi eziyisikhombisa kwebezingaphezu kweshumi.

Uthe banovalo lokuthi izibaya zizomila ukhula uma kuqhubeka ngalolu hlobo.

Omunye okhathazekile nguNkk Nokuthula Zungu othe banovalo ngokuphepha kwezingane ngoba lezi zinja zibhokile.

Uthe omunye umfana wakhona endaweni wayephethe inkukhu zamvimbezela wayilahla phansi ukuze aziphephise.

“Ngenxa yovalo, ngathi abazukulu bami abafunda eVulela Primary mabangayi ngaleli langa amankentshane ayebhoke kakhulu ngalo. Asazi ukuthi kumele senzenjani. Sicela uhulumeni asisize ngempela,” kukhala uNkk Zungu.

Okhulumela uMnyango wezoLimo nezeMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Jeffrey Zikhali uthe bebengazi ngenkinga yomphakathi waseMangangeni kodwa wathi badinga imininingwane egcwele ukuze bangenelele.

“Kuzodingeka sithole iminini-ngwane egcwele ngalolu daba uku-ze sithumele abeluleki bezoLimo ukuyobheka isimo ukuze kubona-kale ukuthi singasiza kanjani njengoMnyango,” usho kanje.

Sibangwa nezibi isilomo sikamasikandi

$
0
0

Kwembulwa kwembeswa kumculi kamasikandi uMtshengiseni “Ndidane” Gcwensa.

|||

MBALI KHANYILE

KWEMBULWA kwembeswa kumculi kamasikandi uMtshengiseni “Ndidane” Gcwensa okuthiwa sekuphele amasonto amabili exinwe wukugula.

Umthombo wephephandaba osondelene nalo mculi uveze ukuthi indlela isimo esisibi ngayo kwiNdidane, kuze kwaphoqeleka ukuthi ibuyele ekhaya KwaMajozi, eMsinga, emuva kokukhishwa esibhedlela ebilashwa kusona eGoli.

“Kuphoqeleke ukuthi alandwe uMtshengiseni ehostela laseDenver, eGoli ngenxa yokuthi ubesexinwe kakhulu wukugula. Kumanje isimo sakhe kasisihle neze njengoba entekenteke emzimbeni,” kusho umthombo.

Uthe nezinhlelo abematasa ngazo zimile njengoba ukugula kumbambe phansi.

“Bekumele ngabe ukhiphe i-albhamu ngenyanga ephelile ngoJulayi njengoba ehlezi enza minyaka yonke kodwa akakwazanga ukuyiqopha yize izinsimbi zamaculo azotholakala kuyona seziqoshiwe,” kuqhuba umthombo.

Kuvela lezi zindaba nje bekulindeleke ukuthi iNdidane inandise emcimbini wokuhlonishwa kukaMzwakhe Mbuli obusePlayhouse, eThekwini, ngoMgqibelo kodwa yangabonakala nangokhalo.

Ngesikhathi ethintwa ngoLwesihlanu lo mculi uvumile ukuthi uke wabambeka wabe eseveza ukuthi ubephethwe wumkhuhlane kodwa useluleme.

“Ngike ngabanjwa wumkhuhlane ongatheni ezinsukwini ezedlule kodwa-ke sengiphila njengosheleni manje. Abantu bazongibona ngenza engidume ngakho ePlayhouse futhi ngizobe ngihamba nabalandeli bami njengokujwayelekile,” kusho yena ngaphambi kosuku lomcimbi agcine engafikanga kuwo.

Ethintwa mayelana nokungabonakali kwalo mculi kamasikandi uBongani Mavuso obehlele umcimbi, uthe yena ubelindele ukuthi afike emcimbini njengoba bebehlelile naye (uMtshengiseni).

“Ngimshayele ucingo kabili uGcwensa ngosuku abezonandisa ngalo ngizama ukuthola ukuthi kwenzenjani njengoba bonke abaculi bese bephelele kodwa lwangabanjwa ucingo. Ngiphinde ngamthinta ngakusasa kodwa lutho ukubanjwa ucingo,” kusho uMavuso.

Imizamo yokuthola lo mculi ayizange isaphumelela njengoba ucingo lwakhe belulokhu lukhala njalo lungabanjwa izolo ngisho nezingoduso zakhe bezingaziphenduli izingcingo zazo.

Isolezwe like labika ngokugula kukaMtshengiseni owaphumela obala ngesifo sofuba athi sacishe samjuqa kade simmise kanzima eminyakeni emibili eyedlule.

Isexwayiso kwabafuna ukushiya iCosatu

$
0
0

Iphini likaMengameli weCosatu ukhiphe umyalezo oshubile kulabo abacabanga ukushiya lo mfelandawonye wezinyunyana.

|||

SANDILE GUMEDE

IPHINI likaMengameli weCosatu, uNksz Zingiswa Losi ukhiphe umyalezo oshubile kulabo abacabanga ukushiya lo mfelandawonye wezinyunyana, ethi uma beke baphuma bayozisola.

Usho lokhu ngenkathi ekhuluma nezinkumbi zamalungu eNational Union of Mineworkers (Num) ngoMgqibelo njengoba ebehambise uhlu lwezikhalo kubaqashi mayelana nemivuzo nempatho endaweni yokusebenza eThekwini.

UNksz Losi uthe labo abasabisa ngokushiya iCosatu baze bangakwenzi lokho ngoba ekugcineni kuyobafaka enkingeni.

“Labo abasabisa ngokushiya iCosatu kumele bazi ukuthi, kuyabanda ngaphandle kwalo mbutho we-ANC neCosatu. Asibasabisi uma sisho njalo kodwa siyanxusa emalungwini ethu ukuthi nalabo asebehambile bayojoyina ezinye izinyunyana, nibanxuse ukuba babuyele ekhaya ngoba ayikho enye inyunyana elwela izimfuno zabasebenzi ngaphandle kweyethu,” kusho uNksz Losi.

Nakuba engabizanga gama lamuntu kodwa kuke kwabikwa emithonjeni yabezindaba ukuthi iNational Union of Metal workers of South Africa (Numsa) izwakalise ukungenami ‘ngetulo lezepolitiki’ elakhelwe uNobhala weCosatu osamisiwe, uMnuz Zwelinzima Vavi, yasabisa nangokuphuma inxiwa kulo mfelandawonye.

UNksz Losi ube esekhwela edilika kwabezindaba ebagxeka ngokuchema nezinhlangothi ezithile uma kubikwa ngezindaba zaseMarikana lapho kwabulawa khona abavukuzi abangu-34 ngo-Agasti wanyakenye.

Ukuhlaselana phakathi kwamalungu eNum nawe-Association of Mineworkers and Construction Union (Amcu) kuhlale kubikwa kanti uNksz Losi uthi indlela okubikwa ngayo ikhombisa ukuchema nabathile.

“Amalungu eNum ahlale ebulawa njalo eMarikana kodwa abezindaba abakuvezi lokho, bathatha uhlangothi lwabathile. Namanje njengoba kumasha iNum, okungenye yezinyunyana ezinkulu, abekho abezindaba zethelevishini. Kodwa lokho akusiqedi amandla ngoba asimasheli bona futhi asiwona amaPop-stars,” kusho uNksz Losi.

Amalungu ale nyunyana abonakale ekuthokozela kakhulu ukuhaywa kwezingoma ezigxibha uMengameli we-Amcu uMnuz Joseph Mathunjwa nomholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnuz Julius Malema, bebabiza ngamamenemene.

Bagxeke laba baholi ngokuthi badlala ngemizwa yabantu ngokwenza izithembiso abangeke bazifeza.

Izibalo zakamuva zikhomba ukuthi i-Amcu isinamalungu angaphezu kuka-70% eLonmin, lapho kade kuyiNum eshaya amaphiko.

Bakhala ngokuma kokwakhiwa kwesikole

$
0
0

Kuphazamiseke ukufunda esikoleni iQuarry Heights Primary ngesikhathi abazali nabafundi bebhikisha.

|||

MCEBO MPUNGOSE

KUPHAZAMISEKE ukufunda esikoleni iQuarry Heights Primary eduze kwase-Avoca Hills eThekwini izolo ngesikhathi abazali nabafundi bebhikisha ngaphandle kweso bekhala ngokuma kokwakhiwa kwesikole ngoba abasebenzi benkontileka eyakhayo bethi abakhokheliwe umholo kaJulayi.

Abazali bakhala ngokuthi izingane zabo zifuhlelwa emagunjini amancane okufunda akhiwe ngothayela kanti ukwakhiwa kwesikole akubukeki kuzophela maduze.

Ngesikhathi Isolezwe lifika izolo abazali, nabafundi baka-grade 1 kuya ku-grade 7, bebeyigxoba bephethe nezingqwembe ebezigxeka ukuma kokwakhiwa kwesikole sabo.

Abanye abazali bebegxeka iCOEGA Development Corporations (CDP) beyisola ngokubambezela imali yokwakha. Abakwa-CDP basebenzisana noMnyango wezeMfundo nenkampani yenkontileka iLingela Projects ukwakha lesi sikole. Usihlalo wesigungu esengamele isikole, uMnuz Bonginkosi Ndlela, uthe abazali badinga ukukhanyiselwa ngendlela inhlangano i-CDP esebenzisana ngayo nohulumeni.

“Esifuna ukukwazi ngukuthi inkinga ikuphi phakathi kweCOEGA noMnyango wezeMfundo. Sifuna ukwazi ukuthi abakwaCOEGA abanikezwanga yini imali njengoba abasebenzi bebeke phansi amathuluzi nje izolo (ngoMsombuluko) bethi ngeke basebenze bengaholile,” kusho uNdlela.

Uqhube wathi abasebenzi bakhale nangokushoda kwezinye izinto zokwakha isikole.

Bekushaya umoya ezakhiweni ezingakaqedwa kulesi sikole, amabhala ebheke phansi ogandaganda bethule futhi abasebenzi bengabonwa nangokhalo. AboMnyango wezeMfundo babambe umhlangano ophuthumayo esidlangalaleni nabazali nothishanhloko. Banikeze abazali ithuba lokubuza mayelana nenqubo yokwakhiwa kwesikole nokuyilapho becacise ngendlela abasebenza ngayo.

IPhini loMqondisi owengamele ingqalasizinda kwezemfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Bongani Khumalo, uthe kuthatha isikhathi ukuthi kukhishwe imali ekhokhela inkampani yenkontileka ngoba kunemibandela okumele ilandelwe.

“Inkampani iLingela Projects ifaka incwadi yemali edingekayo zinyanga zonke kwaCOEGA bese abakwaCOEGA baxhumane nabomnyango.

Okudala ukuthi izinto zihambe kancane ngukuthi abakwaCOEGA ababakhokheli abakwaLingela ngemali eqhamuka esikhwameni sabo, balinda eyomnyango nebuye ithathe isikhathi ukuthi ikhishwe,” kusho uMnuz Khumalo.

Uthe yilesi simo esidale ukuthi amaholo abasebenzi ngenyanga edlule abambeke kodwa uthembise ukuthi izongena imali ngoLwesihlanu waleli sonto.

Inkinga ababhekene nayo abazali baseQuarry Heights namalungu omphakathi eyokubhaliswa kwezingane, abangazi noma bazozibhalisela ukufunda ‘emakopini’ noma esikoleni esisha ngonyaka ozayo.

UMnuz Khumalo ubazise ukuthi kuzoshaya isikhathi sokufunda ngonyaka ozayo ukwakhiwa kwesikole kuqediwe sekushoda izinto ezincane njengendawo yokudlala nendawo yokupaka izimoto.

Umnuz Chris Ntuli, weLingela Projects, uthe balindele ukuthi kuqhubeke ukusebenza, wathi uthemba nokuthi abakwamasipala nabo bazosiphendula maduze isicelo sabo sokufakwa kukagesi ongekho.

Kubikwe kaningi ngosizi lwabafundi balesi sikole abafundela emathinini nabacinene kuwo ngenxa yesibalo sabo ngaphambi kokuba uMnyango ungenelele uphinde uqinisekise nokwakhiwa kwaso ekuqaleni kwalo nyaka.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>