Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Kulotsholwa isalukazi, 70, saseTholeni

$
0
0

Asikholwa isalukazi saseTholeni ukuthi nakuba sesineminyaka emingaka kodwa yima sikotiza emzini.

|||

BONGIWE ZUMA

ASIKHOLWA isalukazi (70) saseTholeni, eMbumbulu, ukuthi nakuba sesineminyaka emingaka kodwa yima sikotiza emzini emuva kokulotsholwa okokuqala empilweni yaso yisoka leminyaka.

UNksz Qondeni Ndlovu obevele ethandana noMnuz Njabulo Nkosi (84) waseNquthu banezingane eziyisithupha kodwa sekusele ezintathu kanye nabazukulu abathathu.

Lezi zithandani zimangaze imindeni yazo ngokuthatha isinqumo sokushada emuva kwesikhathi eside zijola.

NgoMgqibelo uNksz Ndlovu uzolethelwa izibizo abasemzini wakhe abazosuka eNquthu bezombesa kubo bese emuliswa ngosuku olulodwa.

Utshele Isolezwe ukuthi bekhula uNkosi wayevele enesifiso sokuthi bashade besebasha kodwa kwaba nguye obhala ecisha ngoba enovalo lokushada nomuntu wesilisa angakamazi kahle ukuthi ungumuntu onjani.

“Ngijabulisa okwengane encane futhi ngizimisele ngokuyokotiza kubo ngenze konke okwenziwa omakoti uma begana.

Ngiyamthanda umyeni wami ngoba uyangihlonipha futhi kunendlela angibonisa ngayo uma ngisephutheni.

Selokhu sathandana asikaze sikipite, sibonana kanye ngenyanga futhi nemindeni yethu ibiseseka,” kusho uNksz Ndlovu.

Echaza ngokuthandana kwakhe noNkosi, uthe kwaqala ngesikhathi behlangana edolobheni eThekwini kuWest Street ngo-1969.

Uthe kusuka lapho uthando lwabo lwakhula baze bathola izingane njengoba umagcino wabo eno-33 weminyaka.

Uthe ukungahlali ndawonye kwabo bebehlonipha imiyalelo yabazali babo yokungakipiti yize bese benomndeni wabo.

“Lokhu sakwenza ukukhombisa nezingane zethu ukuthi akubusisiwe ukukipita.

Umshado uhlelwa uNkulunkulu ngakho akumele intsha isheshe iphonse ithawula uma singakafiki isikhathi sokuthola umendo.

Ngifisa bathathe isifundo sokungajahi njengami ukuze kufike isikhathi esifanele sebazi ngempilo,” uNksz Ndlovu.

UNkosi uthe yonke leminyaka elindile bekungekho okuphazamisa ubudlelwano bakhe ngoNksz Ndlovu.

Uthe yize kwakuyiphupho lakhe kwakudala ukumshada emchitha kodwa ngoba sebegcine bevumelene weneme kakhulu.

“Ngithanda indlela azithobe ngayo nokuziphatha kahle yonke leminyaka sithandana.

Akukho okusha engingathi ngisakulindele ngaphandle kokuthola ithuba lokuhlala nonkosikazi wami emuva komshado omhlophe,” kusho uNkosi.

Udadewabo omncane kamakoti uNkk Topsy Gumede (51), uthe ithemba alibulali ngempela ngoba bashada nodadewabo osashona wasala usisi wabo emdala engalotsholwa.

“Angikakholwa ngoba bathandana nosibali ngisemncane njengoba sebezolobolana manje.

Nangelanga lomshado ngobe ngiseceleni kwakhe usisi ngoba sesisele sobabili,” kusho uNkk Gumede.

UNksz Ndlovu uthe umshado omhlophe uzoba ngoDisemba nokuyilapho ezoyohlala emzini okokuqala ngqa afunde nokutheza njengabo bonke omakoti.


Kuvalwe amasango bexosha uthisha ‘odla’ imali yesikole

$
0
0

Umphakathi owakhele isikole iDuze Primary School esigodini saseTsheni uvala amasango esikole kwagcina ngokuthi abafundi nothisha babuyele emakhaya.

|||

MCEBO MPUNGOSE

UMPHAKATHI owakhele isikole iDuze Primary School esigodini saseTsheni, eMbumbulu, izolo uncishe abafundi balapha ithuba lokufunda ngesikhathi uvala amasango esikole izolo ekuseni kwagcina ngokuthi abafundi nothisha babuyele emakhaya.

Lo mphakathi uvuke kusempondozankomo wavala ngengidi isango esikoleni ukuze kungangeni muntu. Lokhu bathi bakwenza ngoba befuna kushiye uthishanhloko abamsola ngokukhwabanisa imali yesikole.

Umphakathi, uhlangene nesigungu esengamele isikole, ushaya phansi ngonyawo uthi awufuni ukumbona emagcekeni esikole uNkk Busisiwe Mbele abathi unesandla ekudliweni kwemali yesikole elinganiselwa ku- R73 000.

Isolezwe lithole ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili uNkk Mbele engekho esikoleni, okuthiwa wesula emuva kwezinkinga eziningi ezibikwa kulesi sikole.

NgoLwesihlanu umhloli uMnuz Sbusiso Mngadi utshele isigungu esengamele isikole ukuthi uNkk Mbele uyabuya esikoleni. Nokho ke akucaci ukuthi ubuya ngaliphi ngoba kwaziwa ukuthi wesula.

Izolo njengoba bekuwusuku lwakhe lokuqala ebuya esikoleni uhlangatshezwe ngetoyitoyi wazithela phezu kwengidi esangweni.

Iphini likasihlalo wesigungu sabazali uNksz uNomathemba Ngcobo uthe baqala ukusola ukuthi uNkk Mbele udla imali yesikole ngo-2009 lapho azivumela yena emhlanganweni ababenawo wathi uzoyikhokha.

“Ngemuva kokutholakala kokuthi ubedla imali elinganiselwa ku-R11 000, wathi ubexinekile eyidinga. Umhlangano wavumelana ngokuthi akanikezwe unyaka ukuthi ayikhokhe le mali, nakho okwagcina sekwengezwe ngezinyanga ezintathu ehluleka ukuqeda,” kusho uNksz Ngcobo. Komunye umhlangano kulo nyaka kudingidwa ngokusetshenziswa kwemali uNkk Mbele wahluleka ukuveza isitatimende sasebhange sesikole nokwasolisa isigungu.

UNksz Hlengiwe Nkomo ongumgcinimafa uthe basithola leso sitatimende babona ukuthi kudliwe imali egcine ilinganiselwa ku-R73 000 isihlanganiswe nenye.

“Kwabizwa omunye umhlangano nomhloli wasitshela ukuthi kuzophenywa ngalolu daba. Uthishomkhulu ngaleso sikhathi wakhetha ukufaka incwadi yomhlalaphansi, wasula esikhundleni sakhe,” kusho uNksz Nkomo.

Kokunye abakuthola uthe uthishanhloko wayesebenzisa amabhuku esheke akudala esikole awasebenzise ngokungemthetho.

Uthe kwagcina kuhoxisiwe ukuphenywa kwakhe ngemuva kokusula esikhundleni. Njengoba bengazi ukuthi icala lakhe laphelelaphi futhi engakayikhokhi imali abamsola ngokuyidla bathe abafuni ukumbona esikoleni. Umphakathi uthe uphatheke kabi ngezenzo ezibikwayo futhi ngeke bamvumele uthishanhloko ukuthi abuye esikoleni. Bamnqumele ugwayi katiki ukuba abuyise yonke impahla yesikole ehlala kuye okubalwa amakhompyutha, i-laptop nekhamera.

Ethintwa uthishanhloko uthe akavumelekile ukukhuluma nabezindaba wacela kuthintwe uMnyango wezeMfundo. Okhulumela uMnyango uMnuz Muzi Mahlambi uthunyelelwe imibuzo kwashaya isikhathi sokshicilela engaphendulile.

Basale dengwane kusha eMhlabeni

$
0
0

Basale nabebekugqokile abantu basemijondolo yaseMhlabeni, eMlazi, emuva kokuthi umlilo ushise yonke impahla yabo.

|||

BONISWA MOHALE

BASALE nabebekugqokile abantu basemijondolo yaseMhlabeni, eMlazi, emuva kokuthi umlilo ushise yonke impahla yabo.

Ngokusho kukaNksz Nompumelelo Nxumalo (24), kuqhume isigubhu sikagesi kwenye yezindlu eziyisishiyagalombili ngeSonto emini, wabe usuthungeleka ushisa nezinye izindlu.

Uthe baphume nabakugqokile kuphela abakwazanga ukukhipha amapasi nezinye izimpahla ezibalulekile.

UNksz Nxumalo uficwe yiSolezwe ehlezi kwamakhelwane wakhe nengane yakhe kanti ubengeyedwa obekhungathekile njengoba noMnuz Mlungisi Daza (22) ethe kuduma ikhanda ngoba ushelwe yikho konke anakho.

“Ngifunda eMlazi Coastal College kanti namhlanje angibhali esikoleni yize kubhalwa izivivinyo zama-trials njengoba kushe zonke izincwadi zami nempahla yokugqoka.

“Ekuseni ngivukele emaphoyiseni ngiyobika lolu daba. Ngingajabula uma kungaba khona ongisiza ngendawo yokuhlala okungenani kule nyanga kuphela ngoba besengirentile ngesikhathi kusha,” kusho uDaza.

Bonke abashelwe bacele uMasipala weTheku ukuba ubasize ngempahla yokuvuselela izindlu ngoba baqube komakhelwane nakubangani.

Omakhelwane abakhele izindlu eziyisishiyagalombili ezishile bebekhala ngokuthi basele benganagesi ngoba ngesikhathi kuqhuma isigubhu kushe zonke izintambo, kwalimala nempahla yabo.

Umastende wabo abathe nguNkk Ngcobo ubengekho ekhaya kanti kuthiwa naye ushile futhi ubesayobika udaba emaphoyiseni.

Bathe umastende akasebenzi ndawo ubeziphilisa ngemali erentwa yiziqashi zakhe nazo ezisele dengwane.

Okuphawulekayo wukuthi amasela e-copper nakho konke okusansimbi aseke ahlephula izintambo zikagesi athatha nezinsimbi ebezishile.

Bezizigobhozela kwabezintombi

$
0
0

Kusenzima ukwamukela isimo emindenini yezintombi eziyisikhombisa nomama ababili abazigadayo abaphangalale engozini yebhasi.

|||

FANELESIBONGE BENGU, CELANI SIKHAKHANE noMBALI KHANYILE

KUSENZIMA ukwamukela isimo emindenini yezintombi eziyisikhombisa nomama ababili abazigadayo abaphangalale engozini yebhasi eyenzeke eNkwalini ngeSonto ntambama zibuya eMkhosini woMhlanga esigodlweni seSilo, eNyokeni, KwaNongoma.

Imindeni ebisuka eMzumbe izolo ihambele izibhedlela zaseShowe, eNgwelezane nasemakhazeni ukuyohlonza amalungu awo.

Izinyembezi bezizigobhozela njengoba bekukhala ngisho abesilisa.

Ngokophenyo lwamaphoyisa olusaqhubeka, ingozi yenzeke ngabo-5 ntambama.

Ibhasi ibilayishe abagibeli abangu-64. Kushone abayisishiyagalolunye, kwalimala kanzima abangu-13, abangu-25 balimele kanti abangu-17 batubekile.

Kusolakala ukuthi umshayeli uMnuz Menzi Bhengu (23) ubegijima ekubeni kuthiwa naleli bhasi abelishayela amabhuleki alo abengabambi ngendlela. Ekuqaleni bekuthiwa naye ushonile kanti usesibhedlela.

Ungqongqoshe wezokuPhepha, ukuThutha nokuXhumanisa uMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, uthe amabhuleki ebhasi kusolakala ukuthi abengasebenzi kahle.

“Kusamele kuphothulwe uphenyo kuqala. Uma sekuqinisekisiwe ukuthi umshayeli usephutheni uyobhekana nengalo yomthetho,” kusho uMchunu.

UBhengu ungene esiteringini kulandela ukuboshwa kukaMnuz Edison Madyia oboshwe ngamaphoyisa aKwaNongoma ngoba kusolakala ukuthi ubebukhile.

Eminye yemindeni ilahlekelwe ngamalungu ngamabili okubalwa nezingane ebeziqala ukuhambela uMkhosi woMhlanga.

Umnuz Roy Mhlongo onguyise kaNondumiso Gumede (18) ubehluleka ngisho nawukuchaza ngobuhlungu bokulahlekelwa yindodakazi yakhe.

Uthe ibihlala futhi ifunda eBrain Heaven High School, eChatsworth kodwa ekhaya kuseMzumbe.

“Angazi nokuthi ngingayichaza ngithini le nto esehlele,” kusho uMhlongo.

Kulo mndeni wakwaGumede kushone noNoxolo obefunda eDUT.

UNksz Mercy Matsi (49) ohlola izintombi nobezigadile ushone nendodakazi yakhe uNokwanda Matsi (21).

Umfowabo kaMatsi, uMnuz Mehlokazulu Msani uthe baphatheke kabi kakhulu kodwa okubaduduzayo wukuthi udadewabo ushone enza into ayithandayo.

“Udadewethu ubewathanda amasiko, ewuthanda noMkhosi woMhlanga. Yize siphatheke kabi kodwa okuhle ukuthi ushonele kwakukhonzile,” kusho uMsani.

UNksz Nokuthula Masikane ongunina kaNolwandle Duma (14) uthe indodakazi yakhe ibiqala ngqa ukuhambela uMhlanga. Uthe ubehamba nomzala wakhe uSilungile Mbuli (16) yena osesibhedlela.

“Ikhanda liphithene ngale nto eyenzekile ikakhulukazi ngoba indodakazi yami ibiqala ukuya eMhlangeni,” kusho uNksz Masikane.

UNgqongqoshe uMchunu uthe benguhulumeni bazozithwala zonke izindleko zomngcwabo.

Utshele imindeni ukuthi bazozwa ngezinhlelo zayo kodwa bayaye benze inkonzo yesikhumbuzo ngoLwesine bese kungcwatshwa ngempelasonto.

UMnyango wezokuThutha uthe ngeke ukwazi ukudalula yonke imininingwane ephelele ngengozi ngoba kunezidumbu ezingakahlonzwa. IMeya yaseMzumbe efike endaweni yengozi ithe ibiqala ukubona ingozi yaloluya hlobo. Ithe ezinye zezingane ezishonile yazivalelisa yazixhawula ngesikhathi benze umcimbi wokuzivalelisa, abemane amabhasi abevela kule ndawo.

Usumisiwe omunye uMkhosi woMhlanga eNgwavuma

$
0
0

Ukushona kwezintombi ebezibuya eMkhosini woMhlanga obuseNyokeni sekuphoqe iNdlunkulu kaZulu ukuba imise omunye uMkhosi.

|||

CELANI SIKHAKHANE noFANELESIBONGE BENGU

UKUSHONA kwezintombi ebezibuya eMkhosini woMhlanga obuseNyokeni, kwaNongoma, ngoMgqibelo sekuphoqe iNdlunkulu kaZulu ukuba imise omunye uMkhosi obuzoba seNgwavuma ngempelasonto.

Lokhu kushiwo nguMntwana uThulani Zulu waseNdlunkulu izolo obekhuluma nemindeni ebizokhomba izidumbu zezintombi ezishone ebhasini zibuya emkhosini woMhlanga nomama abebezigadile .

UMntwana uThulani obemele Isilo samabandla uthe iNgonyama ihluleka ngisho ukukhuluma ngenxa yokuphatheka kabi nobuhlungu ebuzwile ngesikhathi ithola lezi zindaba .

“Ngikhuluma nje kumuncu eNdlunkulu ungaphika nokuphi kube nenjabulo ebingaka yokufika kwezintombi eMkhosini woMhlanga ebesinawo. Ngisho oNdlunkulu bakhathazekile ngalo mshophi osehlele, ngikhuluma nje iNgonyama igcine isithatha isinqumo sokuthi kumiswe uMkhosi woMhlanga esivamise ukuba nawo eNgwavuma osuke wenziwa ngemuva kowaseNyokeni nobuzoba ngoMgqibelo esiya kuwo ngenxa yokuthi iphatheke kabi,” kusho uMntwana uThulani.

Uqhube wathi yonke imigubho ababanayo nebizoba khona iNgonyama icele ukuthi imiswe okwesikhashana ngoba kusenzima ukwamukela isimo ebhekene naso sokulahlekelwa izingane ebezizobungaza ubuntombi bazo zizijabulele.

Isilo kuthiwa besihluleka ngisho ukubamba izingcingo ebezingena ngemuva kokuzwa lezi zindaba ngeSonto ntambama.

Ngisho uNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu uthe ngesikhathi ezama ukuthinta Isilo ocingweni ngalesi sigameko wayalelwa ukuthi akabuye afone ngoba siphazamiseke kakhulu emoyeni, akukhulumeki.

NoMntwana uThulani ngesikhathi eduduza imindeni ubebonakala ukuthi uyasindeka kunzima nokuthi ayibheke ngenxa yokuphatheka kabi abelokhu ekugcizelele enkulumeni yakhe ukuthi uphatheke kabuhlungu ngale ngozi. Uthe kuyacaca ukuthi uSathane akazange athande ukuthi kuze kufike ekugcineni kungabanga khona okubi okwenzekayo.

Lo mkhosi obunedumela elingajwayelekile ubuhlanganisa iminyaka engu-29 selokhu iSilo sawuvuselela okuyinto esayiqala nodadewabo noNdlunkulu baso.

Ngaphandle kwalokho namaqembu ezepolitiki akhale kakhulu ngale ngozi.

Le ngozi yenzeka nje kuthe ngoMgqibelo ekuseni kwalimala izintombi ezimbili ezishaywe yizinsimbi zetende elipheshulwe umoya lawela kuzo.

Izintombi ezilimale etendeni bekungezona ezasoGwini kodwa bekungezakwenye indawo.

Izithombe ebezibonakala kumaselula alabo abazifikele mathupha engozini yale bhasi zinyantisa umzimba njengoba kwabanye bekuvela imilenze igaxele ezinsimbini kodwa imizimba icindezeleke ngaphansi kwalo ibhasi.

Abantu bale baphetha ukuphuma emafulethini

$
0
0

Bathi abayi ndawo abantu abahlala emafulethini eRiverview, eMkhumbane, osekukhishwe umyalelo wokuthi abaphume kuwo.

|||

BAWINILE NGCOBO

BATHI abayi ndawo abantu abahlala emafulethini eRiverview, eMkhumbane, osekukhishwe umyalelo wokuthi abaphume kuwo.

Bathe sebehlale emafulethini, okuthiwa awenhlangano iSohco, kusukela ngo-2009.

Abahlala kuwo bekulindeleke ukuthi bakhishwe izolo ekuseni kodwa bavuke kusampondo zankomo babeka amathayi esangweni ngaphakathi, bachitha imigqomo emgwaqweni kodwa babuye bazikhuza bawuqoqa.

Ngokombiko otholwe yiSolezwe akulimalanga muntu ngesikhathi amaphoyisa efika ekuseni edubula ngezinhlamvu zenjoloba.

Ngezithuba zawo-7 ekuseni amaphoyisa abekule ndawo eqaphe isimo, abantu bengaphakathi kuvalwe amasango, bevulela abangenayo nabaphumayo.

Iningi labantu beligqoke izikibha ze-ANC licula namaculo omzabalazo. Bebengayile emsebenzini bethi balindele laba abebezobakhipha.

UNkk Thabisile Gumede uthe bafika ngo-2009 ngezikhathi ezingafani emafulethini.

“Ngesikhathi sisayina kwakuthiwa sizorenta bese kuthi eminyakeni emihlanu sikwazi ukuthi sibe nelungelo lobunikazi balezi zindawo,” echaza.

Uthe ngokuhamba kwesikhathi inkulumo yabe isiyashintsha sekuthiwa bazorenta unomphelo.

“Sithe uma sixoxa sodwa sathola ukuthi kwamali esiyikhokhayo kayifani. Kukhona abakhokha kakhulu, abanye bakhokha kancane ekubeni amafulethi ayalingana wonke,” kusho uNkk Gumede.

Kuvele ukuthi abantu abahlala emafulethini kunomxhaso abawunikwe wuMnyango weZindlu.

UNkk Gumede uthe abanye baya emahhovisi oMnyango weZindlu bayobheka amagama abo bathola ukuthi sekubhalwe ukuthi baxhaswe wuhulumeni ngoba behlala emafulethini.

“Uma siphuma la singazi nokuthi sizoshonaphi sizophinde silutholephi uxhaso ngoba vele la sihlala khona sixhasiwe,” kubuza uNkk Gumede.

Omunye ongathandanga ukudalulwa uthe lolu daba baluyise enkantolo yomthethosisekelo enqabile ukuthi bafake isicelo sokuthi kubuyekezwe isinqumo sayo sokuthi abakhishwe emafulethini.

“Ikhansela uMngadi obezama ukusisiza asiboleke ihholo sibe nemihlangano kulo usatshiswe ngokuxoshwa emsebenzini uma eqhubeka nokusisiza,” kusho yena. Uthe abazi ukuthi uma bexoshwa kule ndawo kuthiwa abaye kuphi ngoba abanayo enye indawo.

“Asazi ukuthi yini ndaba sinqatshelwa ilungelo lokuthi sibe ngabanikazi bamafulethi ngoba kuyenzeka kwezinye izindawo,” kusho yena.

Obemele abantu, uMnuz Senzo Ngwane, uthe akukho okusengenziwa uma ulandela umthetho ukuthi laba bantu bangakhishwa. “Lolu daba luhambe lwaze lwafika enkantolo yoMthethosisekelo okuyiyo yokugcina ekhiphe lesi sinqumo.”

Abakwa-Sohco bathunyelelwe imibuzo nge-email kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela bengakayiphenduli.

Itoyitoyi belwela intuthuko eNanda

$
0
0

Umphakathi waseDikwe eNanda uthi usukhathele yindaba yokunganakwa nguMasipala weTheku.

|||

MCEBO MPUNGOSE

UMPHAKATHI waseDikwe eNanda uthi usukhathele yindaba yokunganakwa nguMasipala weTheku njengoba ungakhelwe izindlu kwezinye izindawo kuxhifika indle ngenxa yokungalungiswa kwezitamkoko.

Isolezwe lizibonele impilo enzima ephilwa yilo mphakathi okungangokuba kunezindawo lapho imoto ingafinyeleli khona ngenxa yemigwaqo emibi.

Kukhona lapho kuxhifika indle esitamkokweni umphakathi othi sekuphele izinyanga ezimbili singalungiswa nakuba sesibikwe kaningi kuMasipala weTheku.

Izolo umphakathi ohlala kuwadi 55 ngaphansi kwekhansela uMnuz Vusi Gebashe uvuke kusempondozankomo wabhikisha uvala imigwaqo uzwakalisa ilaka lawo ngokushiywa ngaphandle uma kulethwa intuthuko.

Usihlalo wekomiti elimele abahlala kule ndawo, uMnuz Mbongeleni Masuku (30), ukhale ngombiko owakhishwa yikhansela labo uGebashe ngonyaka odlule athe uveza okungeyikho ngendawo yabo.

“Embikweni owawukhishwe amakhansela amawadi ahlukene sithole ukuthi elethu ikhansela lathi le ndawo isesimweni esikahle. Thina njengabantu abahlala kule ndawo sibuza ukuthi yikuphi lokhu abakushoyo uma bethi ithuthukile njengoba umphakathi usakhala ngezinto eziningi kangaka,” kubeka uMasuku.

Uqhube wathi uma wayengakhulumi amampunge embikweni wakhe kwenziwe yini ukuthi ngesonto eledlule afake izincwadi zokuthi abezemvelo bazoqala uhlelo lokuhlola umhlaba ngaphambi kokwakhiwa kwezindlu.

“Leyo ncwadi wayifaka ngesonto eledlule ngemuva kokuthi sithole imvume yokubhikisha. Nakhona namhlanje (izolo) akabonwa nangokhalo ukuzozwa izikhalo zomphakathi,” kuqhuba uMasuku.

Ohlwini lwezinto abebezibhale phansi ngethemba lokuzidlulisa kwabehhovisi leMeya yeTheku uMnuz James Nxumalo kubalwa inkinga yezindlu, amanzi, imigwaqo, izinombolo zeposi kanye nehholo. Bakhale nangokuzitshwa yikhansela labo kukho konke lokhu.

“Ikhansela liyawuziba umphakathi, sicela ihhovisi lalo lithuthe kuwadi 44 lize kuwadi 55 lapho esalivotela khona ngoba lokho kwenza lithuthukise abanye abantu thina sisale dengwane,” kusho uMasuku.

UMnuz Sibonelo Mzila (33) osehlale kule ndawo iminyaka engaphezulu kweyishumi ukhale ngesitamkoko osekuphele izinyanga singalungisiwe. UMzila uhlala nezingane zakhe ezine nonina wazo ekhaya labo eliseduze nesitamkoko. Uthe sebefile yiphunga futhi nempilo yezingane zabo ilengela engozini.

Uqhube wathi izindlu eziningi eDikwe zakhiwe ngodaka kanti ngokuhamba kwesikhathi ziyabhidlika.

Umakhelwane wakhe uMnuz Archibald Zenani (78) uhlala nezingane ezingu 17 endlini yakhe enamagumbi amabili okulala eyakhiwe ngodaka. UZenani uthe kunzima ngoba ezinye zalezi zingane zize zifihle amakhanda komakhelwane.

Ikhansela lendawo lithe emhlanganweni wokugcina elaliwubizile umphakathi wahlukana phakathi kuvuswa umbono wokuthi bazokwakhelwa amafulethi ngoba indawo abakuyo iseweni. Liphikile nokuthi yilona elenza umbiko othi le ndawo isesimeni esikahle.

Sithinta uThabo Mofokeng okhulumela uMsipala weTheku uthe usazophenya ngalolu daba.

Udilikajele kobulale unina nodadewabo

$
0
0

Ligixabezwe ngodilikajele ibhungu lasePhoenix, eThekwini, ebelibhekene necala lokubulala unina nodadewabo.

|||

ANELISA KUBHEKA

LIGIXABEZWE ngodilikajele ibhungu lasePhoenix, eThekwini, ebelibhekene necala lokubulala unina nodadewabo ngokubashaya ngesando nenduku esansimbi belele.

USiphosethu Buthelezi (26) utholwe enecala yiNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesihlanu. IJaji lifanise lesi senzo nesobulwane sokubulala unina ongamzali uNksz Sibongile Thusi nodadewabo abangazalwa ndawonye uNksz Nompumelelo Mabaso.

Yize isizathu sokubulala ngesihluku laba bobabili singaziwa kodwa iJaji ngenkathi likhipha isigwebo lithe liyehluleka ukuqonda ubulwane obenziwe nguButhelezi.

“Namanje ngisehluleka ukuqonda ukuthi yini eyenza umuntu acabange ukwenza into enjena. Ungalusebenzisa kanjani udlame olungaka kumuntu owakukhulisa?” kubuza iJaji uDaya Pillay ekhipha isigwebo ngosuku lokusongwa kwenyanga ethathwa njengeyabesifazane.

UPillay uthe ubufakazi obuqanda ikhanda yibona obenze ukuthi athathe isinqumo sokuthi uButhelezi akadingi ukwelulekwa ngokwengqondo.

Inkantolo izwe ubufakazi ezinganeni ezimbili ezazikhona endlini ngenkathi uButhelezi ehlasela laba bobabili amahora amabili ebakhwelele ngesando nensimbi.

Kuthiwa laba besifazane babelele ebusuku ekhaya labo elise-Wattlebrook Crescent, ePhoenix, ngoDisemba 14 ngenkathi uButhelezi egasela nomunye osagcwele amathafa befike begaklaza laba ngesando nensimbi.

Inkantolo iphinde yalalela ukuthi oyedwa wesifazane washayeka kabuhlungu ebusweni nasekhanda izikhawu eziyisithupha.

Ngemuva kokuklajwa izidumbu zabo zasongwa ngezingubo zokulala zafakwa kuplasitiki omnyama zase ziyolahlwa emathuneni aseNanda eduze kwaseMolweni.


Kungene udokotela omkhulu ngesivinini kwaMandela

$
0
0

Udokotela omkhulu ohlinzayo wakwaSA National Defence Force, uVejay Ramlakan, uhambele emzini wowayenguMengameli wakuleli, uDkt Nelson Mandela eGoli izolo.

|||

UDOKOTELA omkhulu ohlinzayo wakwaSA National Defence Force, uVejay Ramlakan, uhambele emzini wowayenguMengameli wakuleli, uDkt Nelson Mandela eGoli izolo.

UDkt Ramlakan ubonakale eshayela imoto eyongena esangweni elikhulu eHoughton. Kuthe eqeda nje ukungena kwavalwa amasango ngokuphazima kweso.

UDkt Ramlakan ubejwayele ukubonakala efika eMedi-Clinic Heart Hospital ePitoli ngesikhathi uMandela esalaliswe khona.

Ekuqaleni kosuku, uMengameli Jacob Zuma, uthe uMandela uyamukela kahle imithi elashwa ngayo ekhaya emuva kokukhishwa esibhedlela ngempelasonto.

“Nizwile ukuthi uTata uMandela uphumile esibhedlela. Uyamukela kahle imithi,” kusho uZuma etshela abahleli bamaphephandaba esidlweni sasekuseni ePitoli.

“Ngicabanga ukuthi sonke sijabulile... ukuthi uphumile esibhedlela okuyizinkomba zokuthi kuza kahle. Siyakuqonda ukuthi usekhulile, nokuthi akakaphili kahle-hle kodwa sithokozile ngokuthi usesekhaya.”

NgeSonto ihhovisi likaMengameli lathi uMandela ukhululwe esibhedlela emuva kokungeniswa ngo-Juni 8 elashelwa isifo samaphaphu. – Intatheli yeSolezwe

Uphithene ikhanda olahlekelwe yindodana

$
0
0

Udidekile owesifazane waseMlazi ngendodana yakhe osekuphele amasonto amahlanu ingaziwa ekhaya ukuthi ikuziphi izinkalo.

|||

NQOBILE MASIMULA

UDIDEKILE owesifazane waseMlazi ngendodana yakhe osekuphele amasonto amahlanu ingaziwa ekhaya ukuthi ikuziphi izinkalo. ULindani Dlamini oneminyaka engu-15 ofunda uGrade 8 eMakhumbuza High kuleli lokishi wagcina ukubonwa engumuntu oya esikoleni kodwa okuze kube yinamuhla akaziwa lapho ekhona.

UNksz Nomusa Myeni (38) ongunina uthi akasazi okumele akwenze ukuthola indodana yakhe. Uze achiphize izinyembezi uNksz Myeni uma echaza ngokuthi wayigcina nini indodana yakhe abahlala nayo kwa-D eMlazi futhi abebephansi phezulu nayo behamba osonhlalakahle nangaphambi kokuthi inyamalale.

Uthe ukugcina kwakhe ukubona indodana yakhe kwakunguJulayi 30 nalapho ayeyishiye ingumuntu osazoya esikoleni kodwa uyabona ukuthi yagcina ingayanga ngoba inyufomu yayo ikhona endlini.

“Umngani kaLindani ababezoya naye esikoleni wangitshela ngoba nakhu sengibuza ukuthi uLindani ubalekiswe wukuthi omunye umama womngani wabo naye ongumakhelwane nathi wathi usebavulele icala ngoba esola bona ngokuntshontsha u-R2 000 wakhe owawusendlini ngaleli langa engagcina ngalo ukumbona,” kuchaza uNksz Myeni.

“Okunye okungiphathe kabuhlungu ukuthi ngathi ngiye emaphoyiseni aseMlazi ngiyocela ukufuniswa indodana yami ngafike ngatshelwa ukuthi angiyozibhekela mina ukuthi ikephi ngoba nakhu ngiwatshelile amaphoyisa ukuthi uLindani uvele uyingane eke ingabuyi ekhaya kodwa akukaze kube yisikhathi esingaka,” kusho uNksz Myeni ekhala.

Ethintwa amaphoyisa esifundazwe ngalolu daba athe azoqalisa uphenyo lokuqinisekisa izinsolo zokuthi uNksz Myeni akakutholanga ukusizakala esefikile esiteshini samaphoyisa bese abathintekayo bethathelwa izinyathelo ezibafanele.

Aphinde ayalela uNksz Myeni ukuthi aphindele emaphoyiseni ukuze athole usizo.

Ingebhe emndenini womfana odutshuliwe

$
0
0

Ukhala ngesihluku umndeni womfana okusolwa ukuthi udutshulwe umnikazi wepulazi abalakhele eyolanda izinkomo.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

UKHALA ngesihluku umndeni womfana ona-16 okusolwa ukuthi udutshulwe umnikazi wepulazi abalakhele eyolanda izinkomo ehamba nabanye abafana bendawo

UKhethukuthula Ngcobo (16) waseMaqongqo usesimeni esibucayi esibhedlela iGreys, eMgungundlovu kulandela ukudutshulwa ngeSonto.

Ngokusho kukayise omncane uMnuz Mzwethu Ngcobo, uKhethukuthula nabanye abafana bahamba bebaningi kuyobhekwa inkomo eyayilahlekile ekuseni ngeSonto.

“Izingane zisuke ekhaya zihamba ndawonye kuyobhekwa inkomo okwakutholakale ukuthi ayibuyanga sezibuya inhlazane. Ngokuzwa kwethu ngalezi zingane, zahlangana nomlungu wepulazi ongabuzanga wavele wavulela ngenhlamvu ebhekise kuzo. Zizamile ukubaleka kodwa kwadubuleka oneminyaka engu-16 kwafa nenja ababehamba nayo. Sibizwe endaweni yesigameko sekonakele,” kusho uNgcobo.

Leli pulazi eliseMaqongqo libizwa ngeNdlovini lidume kakhulu ngokuthi yiKaLaw. Umnikazi wepulazi (Isolezwe elinalo igama lakhe) kuvele ukuthi unodlame nonya emphakathini ohlala eduze nepulazi lakhe. Kuthiwa uvamise ukungena emagcekeni abantu ehamba ngemoto. Ipulazi lakhe alibiyiwe kanti imfuyo yabantu ike ingene kulo. Kuthiwa uma eke wabona olunyathela epulazini akabuzi uvulela ngenhlamvu.

Umndeni wakwaNgcobo ohlala eduze naleli pulazi uthi usuhlalele ovalweni ngokuphepha kwawo njengoba umsolwa engakaboshwa.

Uyise womfana odutshuliwe, uMnuz Falakhe Ngcobo osuke eMnambithi emva kokuzwa ngalesi sigameko, uthe ushaqekile yisihluku umnini pulazi asenze ezinganeni ezincane kangaka.

“Ukube bezonile kungani umnikazi wepulazi engazange azivulele icala. Ungadubula kanjani ingane eneminyaka engu-16? Kumanje kungenzeka ingaphinde ihambe njengoba idubuleke kabi emhlane. Ngokodokotela kuthinteke izitho zomzimba ezibucayi kukhona nenye inhlamvu esasele ngaphakathi,” kusho uNgcobo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Thulani Zwane usiqinisekisile lesi sigameko wathi kuvulwe icala lokuzama ukubulala.

“Amaphoyisa aseBishopstowe aphenya icala lokuzama ukubulala. Ngokophenyo olungakaphothulwa, umfana ubehamba nabanye abathathu beyobheka izinkomo ngesikhathi bedutshulwa. Umfana uwe phansi, kwatholakala ukuthi udutshulwe kabili emhlane. Uphuthunyiswe esibhedlela esesimweni esibucayi,” kusho uZwane.

Bekungakaboshwa muntu kulesi sigameko njengoba amaphoyisa ethe asathathe amagobolondo ukuyowahlola aqoqe nobufakazi obugcwele ngecala.

Akayena umshayeli owebhasi lengozi

$
0
0

Sekuvele okusha ngomshayeli webhasi eligingqike nezintombi zaseMzumbe ebezibuya emkhosini woMhlanga.

|||

CELANI SIKHAKHANE noMBALI KHANYILE

SEKUVELE okusha ngomshayeli webhasi eligingqike nezintombi zaseMzumbe ebezibuya emkhosini woMhlanga ngempelasonto njengoba kutholakale ukuthi wayengeyena umshayeli osemthethweni kodwa wayengumakhenikha.

Lo mshayeli ogama lakhe nguMenzi Bhengu (23) wayeqashelwe ukuqapha isimo samabhasi uma kukhona efayo endleleni kulawo amane ayehamba izintombi zaseMzumbe. Kuthiwa wanikezwa le bhasi ekhononda ukuthi akakwazi ukushayela ibhasi kodwa wayithatha ngoba kwase kudingeka umshayeli ozoze ayoyibeka eMzumbe ngoba wayeseboshiwe umshayeli wangempela.

Lokhu kuvezwe enye yezintombi esinde kulesi sibhicongo sengozi.

Ithe lo makhenikha wayevele engafuni ukuyishayela ibhasi ngoba ethi yena akasiyena umshayeli kodwa ungumakhenikha nokwenza waba nolaka ngisho esekulo ibhasi . “Inkinga yaqala ngehora lesithathu ntambama umshayeli engasakwazi ukuhlehlisa ibhasi eNyokeni. Kwaphoqa ukuthi kusize umshayeli welinye ibhasi esasihambisana nalo. Kuthe nje uma siqeda ukuphuma eNyokeni savinjwa ngamaphoyisa, athatha umshayeli wethu amfuthisa maqede ambopha.

“Kungaleso sikhathi kwabe sekufika enye esasihambisana nayo okwehla kuyo umakhenikha nomshayeli kwase kuthiwa umakhenikha akashayele ibhasi wakhononda ethi akakwazi yena ukushayela ibhasi, wabe esesizwa umshayeli ayehambisana naye wamdumisela kwaba ukuhamba kwethu,” kusho intombi ecele kugodlwe igama layo.

Ithe kwenzeka konke lokhu amaphoyisa ayengaboni ayelibele wumshayeli owayeboshelwe ukuphuza.

Iqhuba ithi ngesikhathi beqhubeka nohambo babelibele wukucula bejabule nokwathi uma sebeseNdundulu bezwa kunuka ithayi.

Yilokho okwenza ukuthi basole ukuthi kukhona okungasahambi kahle bamemeza umshayeli owavele waba nolaka wathi mabahlale phansi ngoba ibhasi iyagingqika amabhuleki awasasebenzi.

“Ngigcine ibhasi lizama ukuvika imoto esasihlangana nayo. Emuva kwalokho kwaba mnyama amehlo ngaphaphama abantu esasihamba nabo sebesaphazeke yonke indawo abanye belimele kabi, abanye amathumbu engaphandle.

“Ngamemeza umzala wami engangihleli naye ebhasini ngathi uma ngiphenduka eceleni ngambona enyakaza.

“Abezimo eziphuthumayo bafika sesime eceleni kwezidumbu,” kuqhuba yona. Leli tshitshi elineminyaka engu-15 lifunda uGrade 9 eBuhlebethu High School eMzumbe, beliqala ngqa ukuya emhlangeni.

Lithe kusazothatha isikhathi ukuthi libuyele emhlangeni ngoba lisenovalo ngokubehlele. Ebhasini ikuqinisekisile ukuthi babengagcwele kwakukhona izihlalo ezingenabantu.

Amabhasi ayethwele izintombi ezazisuka kule ndawo ayemane. Izintombi zaziphuma ezigodini ezehlukene ngaphansi kwenkosi uHlongwa nenkosi uNdelu.

IMeya yaseMthwalume, uMnuz uSidney Gumede, ithe idumele ukuthi umuntu ababezitshela ukuthi ungomunye wabashayeli kanti ungumakhenikha.

Le ngozi iphazamise nokuthi ezinye izingane zingakwazi ukuba ingxenye yokuhlolwa njengoba sekuqalwa ukubhalwa kwezivivinyo.

Leli tshitshi elikhulume neSolezwe lithe liyaqala namhlanje ukubhala kodwa lona angeke liye esikoleni ngoba kubuhlungu wonke umzimba kanti noma lihamba lisaqhuga.

Ngisho ebusweni kusabonakala eduze kwamehlo lapho elashayeka khona ngesikhathi kugingqika ibhasi.

I-DA ingenisa la ibingaziwa khona

$
0
0

Uphiko lwentsha lwe-DA luqale imikhankaso yokungenisa ezindaweni zasemakhaya KwaZulu-Natal.

|||

CELANI SIKHAKHANE

UPHIKO lwentsha lwe-DA luqale imikhankaso yokungenisa ezindaweni zasemakhaya KwaZulu-Natal ukuze kugqugquzelwe intsha yakulezi zindawo ukuba ivotele leli qembu ngonyaka ozayo ukuqinisekisa ukuthi inhlangano kaMnuz Julius Malema i-EFF ayilitholi ithuba kulezi zindawo.

Lolu phiko luqale isonto ngokuhambela intsha esezindaweni ezakhele uMnambithi, Jozini, Mgungundlovu naseMelmoth ichaza kabanzi ngokubaluleka kokuvota nokuba yingxenye ye-DA.

UNksz Mbali Ntuli ongumholi wentsha ye-DA kuzwelonke, uthe baqale lo mkhankaso ngemuva kokuthi bexoxisane nekhomishana ezimele yokhetho i-IEC befisa ukwazi ukuthi bangaki abantu abasha ababhalisele ukuvota.

“Ngemuva kokuthi i-IEC isinikeze isibalo sabantu abasha ababhalisele ukuvota abaphakathi kuka-18 no-29 weminyaka, sibe sesinquma ukuhambela zonke izindawo abakuzo okuyizikhungo zemfundo ephakeme nasemakhaya sibagqugquzela ukuba babhalisele ukuvota futhi bavotele i-DA. Okunye okwenza sigxile kulezi zindawo zasemakhaya yingoba lapho kunentsha enganakiwe amaqembu ezombusazwe nokuyiyo esifuna yazi kabanzi nge-DA ukuze isivotele,’’ kusho uNksz Ntuli.

Uthe bafuna abaholi abafana noMalema bangalitholi ithuba lokukhankasa kulaba bantu abasha ngoba kade babebakhohlisa.

Izolo bebehambele eMgungundlovu beqhuba umkhankaso wabo wokuncenga intsha ukuba ivotele i-DA bechaza nangemigomo yabo nezinhlelo ezibhekele abantu abasha ezimayelana namathuba emisebenzi nezemfundo.

UNksz Ntuli uthe lolu hambo lwabo baluqale eLimpopo nalapho beshaywe khona abaholi benhlangano yabafundi edlelana ne-ANC, iSasco.

Uqhube wathi okunye okubalulekile ukuthi bafuna ukukhuluma nentsha esezindaweni ezingakaze zibenayo i-DA ukuze yazi ukubaluleka kwaleli qembu nendima eliyidlalayo kuhulumeni.

“Akukho lapho esingeke sifike khona ikakhulukazi mina ngoba ayikho indawo engiyisabayo ngisho noma kungathiwa isemakhaya anjani, yikho nje namanje umkhankaso wethu ugxile kulezi zindawo zasemakhaya nasezikhungweni zemfundo ephakeme,” kusho uNksz Ntuli.

Uthe basebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi abaholi abafana noMalema abalitholi ithuba lokukhankasa ebantwini abasha.

Namhlanje bazobe behambele izindawo ezakhele iTheku okubalwa nesikhungo semfundo ephakeme iMangosuthu University of Technology nasemarenki amatekisi bechazela abantu nge-DA futhi bebagqugquzela ukuba bavote ngonyaka ozayo.

Uhoxise isicelo ‘owetulo lokubulala’

$
0
0

Ushaye ungqimphothwe izolo sekufanele afake isicelo sebheyili umama osolwa ngokuhlela itulo lokusoconga amadodana akhe.

|||

BAWINILE NGCOBO

USHAYE ungqimphothwe izolo sekufanele afake isicelo sebheyili umama osolwa ngokuhlela itulo lokusoconga amadodana akhe amabili ngoba efuna ukuhlomula imali yomshwalense.

Izolo, uNkk Makhosazana Langeni (50) uvele eNkantolo yeMantshi ePort Shepstone.

UMshushisi uNkk Sohaya Moodley utshele inkantolo ukuthi sebekulungele ukuthi kuqhubeke isicelo sebheyili.

Ummeli kaNkk Langeni, uMnuz R Ngcobo, ube esetshela inkantolo ukuthi bayakuhoxisa ukufaka isicelo sebheyili ngenxa yokuthi kukhona izinto okusafanele bazibhunge kuqala.

“Uma sesixoxile ngalezo zinto sizobe sesiyasho ukuthi sizosifaka yini isicelo sebheyili,” kusho uNgcobo.

UNkk Moodley utshele inkantolo ukuthi uma leli cala lihlehliselwa inyanga ezayo uphenyo luzobe seluphothuliwe.

IMantshi uMnuz Piet Coetzer ubuze ummeli nomshushisi ukuthi bebezobiza baphi ofakazi ukube umsolwa ubefaka isicelo sebheyili.

UMoodley utshele inkantolo ukuthi yena ubezobiza umphenyi wecala kanti uNgcobo uthe ubezobiza uNkk Langeni ukuthi azikhulumele nomunye ufakazi obezobe ezoqinisekisa ikheli lakhe uNkk Langeni ukube ubefaka isicelo sebheyili.

Inkantolo ibigcwele iphuphuma amalungu omphakathi abezothamela leli cala, abanye bese behleli phansi, abanye bemile, abanye begonene.

UCoetzer utshele abebesenkantolo ukuthi akafuni muntu ohleli phansi noma omile enkantolo ngoba bavimba indlela ngakho abantu abangenandawo abaphumele ngaphandle.

Uphinde wakhuza amalungu e-ANC Womens League abephethe izingqwembe ezibhalwe ukuthi “No Bail” abeziphakamisile ngesikhathi kungena uNkk Langeni.

Uthe ngeke avume ukuthi lezi zingqwembe zimiswe enkantolo.

Amadodana kaNkk Langeni namanye amalungu omndeni wakhe nomfundisi wakhe uThamsanqa Dlamini ababekhona ngesikhathi evele enkantolo ngesonto eledlule bebengekho enkantolo izolo.

Leli cala lihlehliselwe u-Okthoba 3 ukuze kuqhubeke uphenyo.

UNkk Langeni usolwa ngokuthenga inkabi ukuthi isoconge amadodana akhe amabili ukuze athole imali yomshwalense, wabanjwa emuva kokuthi isihlobo sakhe ayethi asimenzele lo msebenzi saya kobika emaphoyiseni.

Amaphoyisa abe esemcuphela umgoga ngokuthi elinye lawo lizenze inkabi kanti usezoboshwa.

Waboshwa kwakhe emuva kokuthi kade eseyolanda endlini izithombe zamadodana akhe ayezozinika “inkabi”.

‘ILuthuli House ishiswe ngamabomu’

$
0
0

i-ANC isola isandla semfene ngokusha kweLuthuli House. Lokhu kuvezwe ngokhulumela lenhlangano uMnuz Jackson Mthembu.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

i-ANC isola isandla semfene ngokusha kweLuthuli House. Lokhu kuvezwe ngokhulumela lenhlangano uMnuz Jackson Mthembu.

“Ibhodlela ebeligcwaliswe amakhemikhali belibekwe ngaphansi kukasofa endlini yokwamukela abavakashele ihhovisi. Usofa ube sewuthungeleka ngomlilo ngesikhathi ibhodlela liqhuma,” kusho uMthembu.

“Ngokwethu lokhu kusenza sibone ukuthi bekuwumlilo odalwe ngamabomu,” kuqhuba uMthembu.

Uthe namanje kusasalele iphunga elishiwe ngamakhemikhali abesebhodleleni. Uthe amaphoyisa nalabo ababhekele ukucisha amabhomu nabo bakuqinisekisile ukuthi umlilo bewususelwe.

“Kucacile esibhekene nakho futhi sidinga ukuthi sikuthathe njengento ebucayi,” kusho uMthembu.

UKhongolose uzwakalise ukuphoxeka ngalesi senzo wathi asinandawo kuhulumeni wobumbano.

“Sinemigudu yokubhekana nezinto kanti lesi senzo sokushisa asiyona enye yezindlela okwenziwa ngazo. Lokhu kuwubugebengu. INingizimu Afrika ayizidingi izigameko ezifana nalesi. Ukuhlaselwa kwamahhovisi eqembu elibusayo nanoma yiliphi iqembu kuhulumeni wentando yeningi akuyona into esiyidingayo.”

UBrigadier Neville Maila okhulumela amaphoyisa ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokushisa ngenhloso.

UMthembu uwushayele ihlombe umsebenzi wonogada abebesebenza. Uthe bacishe umlilo obusucishe ufinyelela ophahleni.

I-ANC ithe bekungakacaci ukuthi yini eholele ekutheni kushiswe amahhovisi ayo.

Izolo ukusebenza kuqhubeke njengokujwayelekile eLuthuli House njengoba umlilo ungenzanga umonakalo umkhulu.


Abaqashi sebeqinisa amakhanda

$
0
0

Sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuthi kube nesikhathi sokubheduka kweziteleka kuzo zonke izimboni kuleli.

|||

ZANELE MSOMI

SEKUYINSAKAVUKELA umchilo wesidwaba ukuthi kube nesikhathi sokubheduka kweziteleka kuzo zonke izimboni kuleli. Kusukela iNingizimu Afrika yathola inkululeko ngo-1994, umthetho-sisekelo wanikeza izinyunyana igunya ekwenzeni impilo yabasebenzi ibe ngcono. Isikhathi esiningi ukulwela amaholo angcono kubasebenzi kukhonjiswa ngeziteleka lapho abasebenzi besuke begcizelela abakufunayo kubaqashi.

Nokho kule minyaka engaphansi kwelishumi edlule, kubonakala kuqina ukwanda kweziteleka osekuze kwaba yinto eyamukelekile nakubasebenzi. Ezinye izinyunyana zikubeke kwacaca ukuthi ayikho enye indlela eyenza abaqashi bakuleli babone ukubaluleka kokulalela izimfuno zabasebenzi ngaphandle kokuthi kubekwe phansi amathuluzi. Kubuye kugxekwe zona izinyunyana ngokuhlohla abasebenzi ngeziteleka ngoba zinezinye izinhloso zezepolitiki. Lokhu kwenziwa wukuthi izinyunyana eziningi zinobudlelwano namaqembu ezepolitiki.

Yize iziteleka zidlangile, ubonakala uba mncane umthelela wazo ekukhushulweni kwamaholo njengoba isikhathi esiningi abaqashi bengafuni ukugoba uphondo. Ngenxa yendlala abasebenzi bagcina bevume imvushwana abayinikezwa wumqashi sekumosheke isikhathi behleli emakhaya.

Nakulo nyaka sesiqalile isikhathi seziteleka futhi kubonakala sengathi zinamandla kuneminye iminyaka. NgoLwesibili balinganiselwa ku-70 000 abasebenzi abangaphansi kweNational Union of Mineworkers abaqale isiteleka befuna amaholo angcono. Bafuna ukunyuselwa ngamaphesenti awu-60 kodwa umqashi uphakamisa u-6.5. Uma siqhubeka lesi siteleka umnotho usengcupheni ngoba ngosuku kulahleka u-R597 million.

Sekuyathusa ukuteleka kwabakule mboni ngemuva kwesibhicongo esenzeka kuteleke abasemayini iLonmin eMarikana nyakenye. Kwafa abawu-44 ngo-Agasti 16 kudutshulwana namaphoyisa.

Yize isigameko saseMarikana sishiye umlando kuleli, ngeke sikhohlakale isiteleka sabasebenzi bakahulumeni esadonsa izinsuku eziwu-28 ngo-2007. Kwama yonke into othisha nabahlengikazi bebeka amathuluzi phansi befuna ukwenyuselwa umholo ngo-12%kodwa bagcina bamukele u-7.5%.

Abanye abasebenzi abatelekile muva nje kubalwa abasembonini yokwakhiwa kwezimoto, isiteleka sabo esesidonse amasonto amathathu. Abasebenzi bayawunqaba u-10%, bafuna u-14%. Yiso leso nakwabasebenza ngezobuchwepheshe kwaSouth African Airways (SAA), abangaphansi kwe- South African Transport and Allied Workers Union. Bafuna umholo wenyuswe ngo-12% kodwa abaqashi babanika u-6.5%. Bahoxise isiteleka ngomzuzu wokugcina nabasebenzi bemboni yendwangu abalinganiselwa ku-50 000 emuva kokuba umqashi evumile ukulalela izikhalo zabo. Bese kuphele inyanga i-Southern African Clothing and Textile Workers Union ihlongoza isiteleka.

Ingabe iziteleka zinomphumela omuhle kuleli noma abaholi bezinyunyana sebengombela kwesabo, becasha ngokulwela amalungelo abasebenzi?

UMnuz Jay Naidoo owayenguNobhala weCongress of the South African Trade Unions (Cosatu), usanda kugxeka le nyunyana ngokuthi ayisazifezi izidingo zokwenza impilo engcono kubasebenzi kodwa abaholi bayo sebesebenzela ukuthola izikhundla. Ugxeke nokugxambukela kwezepolitiki athi izinyunyana zisetshenziswa ukugaya amavoti.

Ngakolunye uhlangathi oSomnotho bathi mkhulu umonakalo odalwa yiziteleka emnontweni wakuleli. Ngisho uhulumeni uyivumile induku njengoba noMengameli uMnuz Jacob Zuma esanda kukhala ngendlela iziteleka eziwulimaza ngayo umnotho. USolwazi Bonke Dumisa ongumhlaziyi wezoMnotho uthi okwenza abaqashi bangasheshi bagobe uphondo wukuthi basuke bezilungiselele ukubhekana nesikhathi seziteleka.

“Kugcina kuba ngabasabenzi abamukela abanikwa khona ngoba vele balambile. Nabo abaqashi bayazi ukuthi kuyazwela uma bengatholanga umholo owodwa nje. Nokho kuyawulimaza kakhulu umnotho wezwe noma kungazweli kubaqashi,” kusho yena.

UDumisa uthi yize kuhlale kuthiwa abasebenzi kumele behlise ulaka bacabangele umthelela weziteleka, kumele kutshelwe nabaqashi okuyibona abasuthayo. Ulinganise ngesikhulu senkampani ethize okuthiwa sithole u-R45 million nyakenye kodwa abasebenzi abaholelwa ngisho u-R4 000 ngenyanga.

I-EFF isibhalise ngokusemthethweni

$
0
0

IQEMBU likaMnuz Julius Malema selibhalisile ngokusemthethweni njengeqembu lezepolitiki.

|||

IQEMBU likaMnuz Julius Malema, i-Economic Freedom Fighters (EFF) selibhalisile ngokusemthethweni njengeqembu lezepolitiki kwabe-Independent Electoral Commission.

“Ukubhaliswa kwe-EFF… kuyingqophamlando nesiqalo sokulwela abantu abahlwempu baseNingizimu Afrika nasemhlabeni,” kusho umholi waleli qembu, uMalema izolo. UMalema uthe ukwamukelwa kweqembu kusho ukuthi selizolungenela ukhetho ngonyaka ozayo. – Sapa

Abahlala ezitaladini balahlwe eMdloti

$
0
0

Amaphoyisa kaMasipala weTheku asephinde ashaqa inqwaba yezingane ezihlala ezitaladini zakuleli dolobha zayobalaxaza eMdloti.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

AMAPHOYISA kaMasipala weTheku asephinde ashaqa inqwaba yezingane ezihlala ezitaladini zakuleli dolobha zayobalaxaza eMdloti, enyakatho yeTheku ngenxa yokusabela ukuphoxeka njengoba leli dolobha lizoba nomcimbi omkhulu wamaSouth African India Film Television Awards (Saifta) namhlanje.

Isenzo samaphoyisa osekungesesibili emasontweni amabili ngaphambi kwalo mcimbi, sesisuse omkhulu umsindo emphakathini waseMdloti njengoba besifanisa nesihluku.

Umphakathi wakule ndawo ozibonele iveni nomeleko wamaphoyisa uthulula labafana abalaxazwe ebhishi laseMdloti izolo ekuseni, uthi uzwe ngomsindo.

“Bekunomsindo ngase ngilunguza ngewindi, ngibe sengibona laba bafana bemi ngaphandle. Sekungokwesibili lokhu kwenzeka amasontweni amabili.

“Ngithe uma ngiphumela emnyango, laba bafana base bebambe indlela ephindela eThekwini. Ngilandele oyedwa obe esengitshela ukuthi uzohamba ngasolwandle kanti abanye bazohamba ngo-M4,” kusho ilungu lomphakathi.

Lo mphakathi uthe awusiqondi isizathu samaphoyisa sokuzolaxaza labafana kuleya ndawo. Uqhube wathi labafana abafuni ukuba lapha yingakho behlezi bephindela eThekwini ngoba yilapho bekwazi ukuzondla khona.

Ngesonto eledlule abafana abangu-18 bathathwa bayolahlwa kule ndawo ngaphambi kokuthi kube nengqungquthela ebizwa ngeFederation of Societies of Intensive and Critical care Medicine eyayikuleli dolobha.

Isolezwe ihlangane nabanye abafana abane ngasesikhumulweni sezindiza iVirginia Airport behamba ngezinyawo. Bathe bebelele kwelinye ibhilidi elisePhoyinti ngenkathi kugasela amaphoyisa ebavusa ebahlohla kumeleko.

“Bebehamba bethatha wonke umuntu olele nohlala emgwaqweni bamfake evenini. Akusikhona okokuqala, cishe masonto onke basithatha basifake emavenini bayosilahla ngaphambi kwaseMdloti kwesinye isikhathi basilahle eMgungudlovu,” kusho omunye umfanyana ohlala emgwaqweni.

Omunye uthe noma amaphoyisa ekwenza lokhu kodwa bahlezi bebuyela kuleli dolobha.

“Iyona ndawo esiyaziyo lena. Bahlezi besithuka bethi abasifuni edolobheni kodwa asinayo enye indawo esingaya kuyo,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa kamasipala, uMnuz Eugene Msomi uthe uyakweshwama lokhu.

“Ingathi sisaphenya udaba lwangesonto eledlule usuzongitshela ukuthi sekwenzekile futhi nakuleli. Angikwazi ukuchaza. Iyangethusa le nto,” kusho uMsomi.

Uqhube wathi akusiwona umsebenzi wamaphoyisa ukushaqa abantu ayobatshinga kude.

IMenenja kaMasipala uMnuz Sbu Sithole, uthe bazowathathela izinyathelo ezinqala amaphoyisa abandakanyeka kulesi senzo.

“Sengithe akwenziwe uphenyo ngalokhu futhi sisabheka nokuthi yiziphi izimoto ezazikhona endaweni.

“Abantu akufanele bashaqwe bayotshingwa kwenye indawo, sisazolubheka kahle lolu daba,” usho kanje.

Sichaze ngeminjunju esiyizwile iSilo

$
0
0

‘Nihambe kahle zingane zami, hambani niye kuMdali wenu,” sisho kanjena iSilo samabandla sichaza ngobuhlungu esibuzwile ngokushona kwezintombi.

|||

SIHLE MLAMBO

‘NIHAMBE kahle zingane zami, hambani niye kuMdali wenu,” sisho kanjena iSilo samabandla sichaza ngobuhlungu esibuzwile ngokushona kwezintombi eziyisishiyagalombili nomama ababili abazigadayo engozini yebhasi eyenzeke ngeSonto emgwaqweni u-R66 ngaseNkwalini, phakathi kweMelmoth neShowe.

ISilo sikusho lokhu kwethulwa uhlelo lwethelevishini lwaseNdlunkulu kaZulu oluzokwethulwa esiteshini esiKwaZulu-Natal i-1 KZN TV, emcimbini obuseSibaya Casino, eThekwini.

INgonyama igcine iphoqeleka ukuthi imise yonke imicimbi yayo okubalwa uMkhosi woMhlanga obuzoba seNgwavuma ngoMgqibelo ngenxa yale ngozi okulimale kuyo nenqwaba yezintombi ezinye ezaziqala ngqa ukuya eMkhosini woMhlanga eNyokeni, kwaNongoma.

“Ngesikhathi ngibikelwa ngale ngozi bonke oNdlunkulu babesesigodlweni eNyokeni belinde ukuba kuphume ilanga bese bezongichazela ngokwenzekile. Kwathi lapho bengena endlini bangithola ngikhala izinyembezi zigeleza ngihluleka ukuzibamba ngenxa yobuhlungu engangibuzwa. Okwakungikhalisa kakhulu wukuthi zife zize kimina. Namanje ngisabuzwa ubuhlungu,” kusho iSilo.

Bekungokokuqala iSilo siphawula ngale ngozi selokhu yenzeka ngeSonto.

Ngesikhathi sichaza besikugcizelela ukuthi kuhambe izimbali zesizwe .

Sithe usuku lwangoSepthemba 1, 2013 luyohlale lukhunjulwa njengolunzima esizweni sonke nakubazali bezingane ezibandakanyeke kule ngozi.

“Usuku lolu esilahlekelwe yizingane zethu eziyisishiya-galombili nomama abebezigadile ababili bebuya eMhlangeni, baningi futhi abalimala kule ngozi. Ngithi kinina zingane zami nakuba sinithanda kodwa ngiyanikhulula ukuba nihambe kahle niye kowanidalayo,” kusho iSilo.

Kuwo lo mcimbi obuhanjelwe izicukuthwane, iSilo sinxuse ukuba kukhulekelwe imindeni ethintekile kulesi sigameko ukuze ithobeke amanxeba.

“Ngiyakhuleka ukuba izingane zami ziyothola ukuphumula kwaphakade nongaphezulu kwethu onamandla wonke. Ngisho ngingahamba esigodini sethunzi lokufa angisabi okubi ngoba yena unami,” kusho iSilo sicaphuna encwadini engcwele.

Izintombi ezishone kule ngozi ezinye zazo zizofihlwa kusasa emuva kwenkonzo ezoba KwaHlongwa kumasipala omdala bese kuthi enye ifihlwe ngeSonto ngenxa yenkolo yayo bese kuthi omunye womama angcwatshwe ngeSonto elizayo.

Zonke izinhlaka eNingizimu Afrika zidlulise amazwi enduduzo okubalwa amakhosi, abamabandla ezenkolo, uMengameli uMnuz Jacob Zuma nabaholi bamaqembu ahlukene ezombusazwe.

Iphoyisa lidubule intombi lazinikela

$
0
0

Kuthiwa bekuyinto yalo ukudubula ngesibhamu somsebenzi kungonakele lutho iphoyisa laKwaMashu.

|||

NOKUBONGWA PHENYANE

KUTHIWA bekuyinto yalo ukudubula ngesibhamu somsebenzi kungonakele lutho iphoyisa laKwaMashu ebelisebenza esiteshini sakwa-E, eliboshwe izolo ekuseni ngemuva kokuba kuthiwa lidubule labulala intombi yalo uYolanda Sikhulumi ebelikipite nayo kuleli lokishi.

Omakhelwane babo bathi awukho umsindo abawuzwile phakathi kwalezi zithandani.

Umsolwa (34) kuthiwa utholwe ngamaphoyisa eyozinikela kuwo ngemuva kokuthi eshiye isidumbu sikaYolanda oneminyaka engu-28 sidindilizile endlini yabo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, usiqinisekisile lesi sigameko wathi umsolwa uboshiwe ubhekene necala lokubulala uzovela enkantolo maduze kodwa idokodo lakhe selidluliselwe ophikweni oluphenya amacala amaphoyisa i-IPID.

Okhulumela lolu phiko uMnuz Moses Dlamini ukuqinisekisile ukuboshwa kwephoyisa.

Ngokusho kwabazizwele kwenzeka lesi sigameko bathi umsolwa ufike ngezithuba zabo-11 ebusuku kuzwakala ukuthi ubukhile wangqongqoza endlini lapho bekulele khona umufi.

“Angizwanga kuba khona kuhilizisana ngoba besingomakhelwane nabo, ngizwe ngesikhathi efika ebanga umsindo kwadlula isikhashana ngezwa sekuqhuma isibhamu izikhawu ezingu-15,” kusho owesifazane ongumakhelwane.

Uthe ngemuva kokuzwa lokhu bazwe yena umsolwa esehamba eya endlini enkulu lapho beqashe khona wafike wabiza umfana wakhona emtshela ukuthi akazombonisa.

“Umfana uvele wathetha ngoba uma simbuza ukuthi ubethini uyasho ukuthi ubengamuzwa, wasuka wahamba samuzwa esephuma futhi nathi sisaba ukuya endlini ngoba besingazi ukuthi ngempela kwenzekeni. Kugcine ngokuthi ubaba engihlala naye aphume wafica uYolanda eseshonile, wafonela amaphoyisa umsolwa singasamazi ukuthi ushonephi,” kuchaza lo wesifazane.

Omunye wesifazane ofike kule ndawo yesigameko uthe umsolwa ukudubula bekuyinto ajwayele ukuyenza njengoba kukhona omunye wesifazane amdubula emaqakaleni kwenye indawo yokucima ukoma kungaziwa ukuthi babangani.

“Wumuntu obungeke umthole kahle ukuthi uphila kanjani loya kodwa bebethandana nomufi, bebejwayele ngisho ukudlala bobabili uma behlezi ndawonye,” kusho yena.

Uthe umsolwa ngelinye ilanga waze wakhuzwa ozakwabo esebenzisa sona isibhamu edubula bamtshela ukuthi uzophelelwa umsebenzi uma eqhubeka nokwenza ngale ndlela uma edakiwe.

Umufi kuthiwa ushonele endaweni yesigameko. Endlini akade behlala kuyona bekunegazi emnyango nezimbobo zezinhlamvu. Isimo besimuncu kwabanye abaqashi Isolezwe elibafice kuleya ndawo ndawo, bebekhala ngokuthi sebeyesaba ukuhlala kulo muzi.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>