Ukukhiywa kwamasango kugcine kuholele ekutheni kuphazamiseke ukufunda izolo.
|||
MLUNGISI GUMEDE
SIPHUME sesigadwe ngamaphoyisa isithunywa ebesijutshwe ngumnikazi wendawo okwakhiwe kuso isikole, i-Oakford Primary, eVerulam, sisaba ulaka lwabazali abavuke umbhejazae bagqekeza amasango esikole ngemuva kokukhiyelwa kwezingane zabo ngaphandle izolo.
Ukukhiywa kwamasango kugcine kuholele ekutheni kuphazamiseke ukufunda izolo.
Ngesikhathi ithimba leSolezwe lifika kulesi sikole, izingane bezigcwele ngaphandle kwesikole zihleli nabazali abebehlome ngezimvubu, izagila nocelemba, bala ukhasha bengafuni lutho okungena ngaphakathi esikoleni.
Ngaleso sikhathi bekuqhubeka umhlangano phakathi kothisha, amalungu esigungu esilawula isikole nezikhulu zoMnyango.
Abazali bagcine sebecikeka wukulinda ngaphandle bekhala ngokuthi umhlangano wezikhulu awusapheli, bafuna ukwazi ukuthi kuqhubekani, baqala bagqekeza amasango bafaka izingane ngaphakathi esikoleni, bona bahamba bayoshaya itoyitoyi ngaphandle kwalapho bekuqhubeka khona umhlangano.
Lesi sikole esisembangweni kuthiwa sakhiwa ngamaNtaliyane ngeminyaka yama-40’s, kwathi esehamba asinika amasistela wona asidayisela umnikazi wale ndawo, uSolwazi Marias Mariz.
UMariz kuthiwa akafuni ukuthi le ndawo ibe yisikole, uhlela ukuyiphendula isakhiwo samagugu.
Leli phephandaba lithole ukuthi uMariz noMnyango sebenze isivumelwano sokudayiselana le ndawo.
UMariz kuthiwa yena uthi udayise izikole kuphela njengoba kule ndawo kukhona ne-Oakford High, akazange awudayise umgwaqo, ufuna izingane zihambe ehlathini okutshalwe kulo umoba zingahambi emgwaqweni wakhe.
Ilungu lomphakathi eliphinde libe ngumzali, uMnuz Sanele Ngcobo, lithe isithanda ukubama emphinjeni indaba kaMariz yokuhlale evala isikole.
“Sekuphele iminyaka emine kuhlale kwenzeka into efanayo njalo uma kuvulwa izikole, manje siyabona ukuthi sekufanele simxoshe kwaphela endaweni yethu,” kusho uNgcobo.
IPhini likaSihlalo wesigungu sesikole, uMnuz Zethembe Mngadi, lithe lolu hlelo lokudayiselana kwale ndawo lonakala ekuqaleni, yingakho kunezinkinga manje.
“Le ndawo ayizange ikhangiswe ukuthi iyadayisa kunikezwe bonke abantu ithuba abayifunayo, sezwa sekuthiwa isidayiselwe uMariz. Nathi singamalungu omphakathi sasizimisele ngokuyithenga,” kusho uMngadi.
UNobhala we-ANCYL kuwadi-59, uMnuz Simamisa Mkhize, ugxeke uMnyango wathi usuthathe isikhathi eside ukuxazulula le nkinga.
Ikhansela le-ANC kule wadi, uNksz Nondumiso Ndlovu, lithe benza konke okusemandleni abo ukuxazulula isimo ukuze izingane zibuyele esikoleni.
“Sizoqhubeka nokuba nezingxoxo yize ezanamuhla (izolo) zifinyelele kwangqingetshe. UMariz uthe liyana, alini, ngeke aze azivumela izingane ukuba zingene esikoleni,” kusho uNksz Ndlovu.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe kuyabaphazamisa ukuzwa ukuthi uMariz uphinde wavala amasango kube sekuhanjwe ibanga elide mayelana nezingxoxo zokulungisa isimo.
“Sizothumela abahloli besiyingi bayohlola isimo baphinde benze isiqiniseko sokuthi ngesikhathi kuqhubeka izingxoxo ukufunda kuyaqhubeka,” usho kanje.
Imizamo yokuthola uMariz izolo ayiphumelelanga, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Kwesinye isigameko esehlukene, kuphazamisekile ukufunda eSiphosabadletshe High, KwaNompondo, eHluhluwe, ngemuva kokuthi abafundi bevale imigwaqo ngamathayi avuthayo bekhala ngokuxoshwa kothisha ababili abaxabana esikoleni.
Abafundi bakhala ngokuthi labo thisha abaxoshwayo bebekhuthele emsebenzini wabo.
Omunye walabo thisha kuthiwa uyiphini likathishanhloko futhi ufundisa isifundo esibalulekile iSayensi.
Isizathu sokuxabana kwabo kasicacanga.