Owesifazane othi waphendulwa isigqila socansi nguMnuz Sibusiso Gcabashe utshele iNkantolo eNkulu ukuthi washaqeka esebona lo msolwa ezibiza ngoKwakhe ‘Mgqumeni’ Khumalo.
|||NONTUTHUKO NGUBANE
OWESIFAZANE othi waphendulwa isigqila socansi nguMnuz Sibusiso Gcabashe utshele iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ukuthi washaqeka esebona lo msolwa ezibiza ngesihlabani somculi kamasikandi, uKwakhe ‘Mgqumeni’ Khumalo.
Izolo kuvele ubufakazi obushaqisayo ngezinsolo zokudlwengulwa kuphindelelwa lona wesifazane osemncane othe wathunjwa nguGcabashe owayezibiza ngoMnuz Sphamandla Dlamini.
Ufakazi uveze ukuthi wathunjwa ephuma esikoleni ngumsolwa wamenza isigqila socansi, emdlwengula ephindelele amahlandla angaphezu kwamahlanu.
Uthe wabaleka ‘uSpha’ emuva kwalesi sigameko waze wambona emaphephandabeni esezibiza ngoMgqumeni “ovuke ekufeni”.
Lo wesifazane (18) elingeke lidalulwe igama lakhe ukumvikela utshele inkantolo ukuthi lo ozibiza ngoMgqumeni wayehamba ezibiza ngoMnuz Sphamandla Gcabashe kubantu kodwa yena wayekade emazi ngoSphamandla Dlamini, futhi eyisoka likadadewabo omdala. Uthe wamthumba kubo eXobho, wamdlwengula ngaphansi kwesihlahla. Emuva kokuba belale ubusuku bonke ngaphansi kwalesi sihlahla uthe babe sebevuka bahamba ibanga elide ngezinyawo. Uthe uGcabashe wayehamba eqamba amanga ukuthi ungunkosikazi wakhe nokuthi babanjwe inkunzi baphucwa yonke impahla.
“Wayehamba etshela abantu amanga ukuze bemdabukele. Safika komunye umuzi wabazalwane bakwaShembe basipha ukudla, sagcina ngokulala khona. Ebusuku waphinde wangidlwengula, wavuka phakathi nobusuku wangidlwengula futhi. Ngakusasa waphinde wangidlwengula ngendlela efanayo. Nami ngase ngivele ngingene ezingubeni ngingagqokile ngisaba ukuthi uzongishaya uma ngifake izimpahla. Wayengiphoqa ukuba siye ocansini, engishaya uma ngingafuni,” kusho ufakazi.
Emuva kokuhlala izinsuku ezimbili bahamba kulo muzi ababelaliswe kuwo, babhekisa amabombo eThekwini. Uthe bafika ezihlotsheni zikaGcabashe baphinde balala khona, lo wesifazane wayelokhu embiza ngonkosikazi wakhe. Uthe wayeqhubeka emdlwengula ubusuku nasemini uma amalungu alo mndeni engekho.
“Wangishiya ngelinye ilanga wathi usaya esangomeni. Ngabona zonke izinto zakhe zingekho nesikhwama sakhe. Ngasala ngatshela umnikazi womuzi ngesimo esasiletha kule ndawo. Bathinta abasekhaya basho ukuthi kade ngalahleka, ngalandwa abasekhaya,” kusho ufakazi.
Uthe akaphindange wambona umsolwa, waze wambona kwiSolezwe sekuthiwa uthi unguMgqumeni.
Uthe ukudlwengulwa kwamphazamisa umoya ngoba wayeyintombi nto.