Intokazi esencane yaseMgungundlovu izobopha ifindo likasofa silahlane ngokwesintu nesithandwa sayo esingumlungu.
|||
NONTUTHUKO NGUBANE
INTOKAZI esencane yaseMgungundlovu izobopha ifindo likasofa silahlane ngokwesintu nesithandwa sayo esingumlungu.
UNksz Nomali Ntombela (23) waseSnathingi uzobe eshada owesintu ngoMgqibelo efake isidwaba, nomyeni wakhe uMnuz Heinz ‘S’celo’ Port (25) wasePitoli efake ibheshu.
UNksz Ntombela ubehlengezela izinyembezi uma exoxa ngobudlwelwano bakhe nowakwakhe athe ufuna izwe lonke lazi ukuthi uthando lwangempela lusekhona akubalulekile ukuthi yiluphi uhlanga olusuke luthandana.
“Abantu abasakholelwa othandweni lwangempela. angibhekanga ibala lomyeni wami ukuthi umhlophe noma umnyama ngesikhathi engicela uthando. okwabaluleka wukuthi unalo yini uthando lwami, ibala lakhe alisho lutho ngoba siyathandana,” kusho uNomali.
Le ntokazi eshayela imikhumbi ethwala impahla yahlangana noPort e-Durban University of Technology benza izifundo zemikhumbi. Ozoba ngumyeni wakhe uyiphoyisa lasemkhunjini.
Uthe wayeqala ngqa ukunconywa owesilisa ngombala ayewufake emlonyeni, owawugqamile.
“Siqala ukuhlangana wangincoma ukuthi umlomo wami ngiwugcobe kahle. Ngahlabeka umxhwele ngoba abafana abamnyama babengakaze bengincome. Kwaqhamuka umlungu esengincoma. Ngelinye ilanga ngamthatha ngamyisa olwandlwe lapho kugcwala khona abantu abamnyama ngifuna ukumbona ukuthi uzokwazi yini ukuhlala nabo. Wajabula kakhulu, sagcina sesithandana,” kusho uNomali.
Uthe okwamchaza kakhulu ngo-Port yisikhathi esefuna ukumshada ngoba waqala kunina, wambuza ukuthi enze njani ngoba ufuna ukumshada.
Unina kaNomali, uNksz Thoko Ntombela, uthe wakujabulela kakhulu lokhu ngoba “wenza ukuthembeka” umkhwenyana wakwakhe.
“Indodakazi yami yayingekho ihambe nomkhumbi, wafika ekhaya umkhwenyana wangitshela ukuthi uyayithanda indodakazi yami. Wathi angisho noma yini engiyifunayo uzoyenza ukuze beshade,” kusho uNksz Ntombela.
Ethintwa ngocingo uPort, osenza amalungiselelo ePitoli, uthe ujabule ngendlela emangalisayo ngomshado wabo nesithandwa sakhe.
“Angilwazi kahle usiko lesiZulu kodwa ngikulangazelele kakhulu ukuba uNomali abe ngumkami. Ngiyamthanda kakhulu. uthando lwethu alujwayelekile, lusho lukhulu kimina,” kusho uPort.
Wazibiza ‘ngoSicelo’ ngelanga ahlangana ngalo nogogo kaNomali ngoba efuna kube lula ukuba ugogo abize igama lakhe, angambizi ngelesilungu.
Ebuzwa uNomali ukuthi abantu balubheka kanjani uthando lwabo njengoba bexube izinhlanga, uthe ubashaya ndiva.
“Uthando, uthando nje. Abantu abangafaki unyawo. Uma sekungene umuntu wesithathu yilapho konakala khona izinto. Sinomkhwenyana wami sigxila othandweni lwethu, okunye asikubheki,” kusho uNomali.
Bazosiniswa yisangoma, uNksz Nana Makhaya emshadweni wesintu bese kuba khona omunye umcimbi ebazohlanganiswa kuwo nguMfundisi uRathebe.
Emuva komshado bazohlala eKapa njengoba abasemzini kaNomali sebevele babalungiselele indlu.