Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Ufuna ukukhuza ibuya ngeqembu elisha uJuju

$
0
0

“Sizoza nomzabalazo obhekiswe kubantu abamhlophe okuyibo abasagodle imali”.

|||

UJulius “Juju” Malema ulungiselela ukuqhamuka nenhlangano entsha yezombusazwe, iphephandaba i-The Star libike kanjalo izolo.

UMalema kubikwa ukuthi usaxoxisana nabalandeli bakhe ngombono wokusungula iqembu lepolitiki “elizoqinisekisa ukuthi siyabuya isithunzi kubantu abamnyama’’ livale negebe phakathi kwabadla izambane likapondo nabampofu.

Exoxisana naleli phephandaba, owabe engumholi we-ANCYL, uthe le nhlangano abayihlongozayo izolwela ubulungiswa kunokubuyisana kubuye “nomzabalazo obhekiswe kubantu abamhlophe okuyibo abasagodle imali”.

Izoqhuba umkhankaso wokubuyisa umhlaba ngaphandle kwezinxephezelo, ukuphathwa nguhulumeni kwezimayini, iphoqe abantu abahlomula ngenxa yobandlululo ukuthi bazisole “futhi baziphathise okwabantu abakhombisayo ukuthi bayazisola ngezenzo zabo”.

UMalema utshele iphephandaba ukuthi inkohlakalo nokungasetshenziswa ngendlela kwezimali zomphakathi kuyinto eqhubekayo ukwenzeka ekubeni abenza le mikhuba betholwa bengenacala uma sekwenziwa uphenyo.

Uthe unqume ukuhlanganisa “amaqabane’’ ngaphakathi nangaphandle kwe-ANC ukuthi “ahlangane azoxoxisana ngeqembu elisha”.

“Ngicabanga ukuthi kufanele sithole indlela yokuhlangana bese siyanquma ukuthi ngabe yini okufanele siyenze,” uMalema utshele leli phephandaba. – Intatheli yeSolezwe


Amadodana noyise ecaleni lokubulala

$
0
0

Baboshwe emuva kwemiphumela yokuhlolwa kwesibhamu

|||

BAWINILE NGCOBO

KUBOSHWE indoda namadodana ayo amabili izolo ekuseni ngamacala ayisikhombisa okubulala namabili okuzama ukubulala amalungu omndeni wakwaMkhize adutshulwa eMuden ngoMashi.

Le ndoda eneminyaka engu-51 kuthiwa kuqale kwaboshwa yona izolo ekuseni isemzini wayo.

Uphenyo lwamaphoyisa luholele ekuboshweni kwamadodana ale ndoda amabili aneminyaka engu-28 no-30.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Vincent Mdunge, uthe baboshwe emuva kokuthi imiphumela yokuhlolwa kwesibhamu esathathwa kule ndoda ikhombise ukuthi yisona esasetshenziswa ngesikhathi kubulawa amalungu omndeni wakwaMkhize.

Amalungu omndeni wakwaMkhize ayelele ngesikhathi ehlaselwa edutshulwa ashona ngoMashi 9.

Kulesi sigameko kwashona oMnuz Mngeni Mkhize, Simphiwe Mkhize, Mhlengi “Tonqo” Mkhize, Lungisani Mkhize, Sibusiso Mkhize, Sizwe Zondi noFikanobuhle Mkhize owashone esibhedlela.

UMdunge uthe amaphoyisa ophiko lweNational Intervention Unit abebamba imikhankaso yokulwa nobugebengu eMuden naseGreytown ashaqa izibhamu.

“Ngesikhathi kunomunye umkhankaso kwaboshwa indoda enemi-nyaka engu-51 eyatholaka-la nesibhamu esingekho emthethweni ngo-Ephreli.

“Le ndoda yanikwa ibheyili,” kusho uMdunge.

Uthe isibhamu esathathwa kule ndoda nezinye zathunyelwa ukuyohlolwa ukuze kubhekwe ukuthi azikaze yini zisetshenziswe kwamanye amacala.

“Umbiko wokuhlolwa kwezibhamu waveza ukuthi isibhamu esashaqwa kule ndoda sasetshenziswa ngesikhathi kubulawa amalungu omndeni wakwaMkhize. Le ndoda ibe isiboshwa futhi namuhla (izolo) ekuseni,” kusho uMdunge.

Uthe abasolwa abathathu bazovela eNkantolo yaseGreytown maduze ngamacala ayisikhombisa okubulala namabili okuzama ukubulala.

UKhomishana wamaphoyisa eKZN uLt General Mmamonnye Ngobeni, uthe banethemba lokuthi bazobopha abanye abasolwa.

“Sinxusa abanye abasolwa abazaziyo ukuthi bayathinteka kulesi sigameko ukuthi bazinikele emaphoyiseni. Ukuzifihla kwabo ngeke kubasize ngoba vele bazoboshwa maduze nje,” kusho uLt General Ngobeni.

‘Sekuyoba ngozimakhaza kuMandela’

$
0
0

“Kubukeka iwenza umehluko imithi yodokotela ...”

|||

INTATHELI YESOLEZWE

UMENGAMELI Jacob Zuma uqinise idolo isizwe izolo ethi kubonakala sengathi uyakuwuphonsa umbalane owayenguMengameli uMnuz Nelson Mandela.

UZuma utshele amalungu ePhalamende izolo ngesimo sempilo kaMandela kwabonakala kuba nokukhululeka okuncane ezweni njengoba kusabanjwe umoya ngempilo yakhe.

“Kubukeka iwenza umehluko imithi yodokotela kusukela namhlanje ekuseni,” usho kanje, ngesikhathi evula inkulumo-mpikiswano ePhalamende.

UZuma uthe uhulumeni uyayithakasela imiyalezo yokweseka uMandela evela emhlabeni jikelele.

“Kuyinto ejabulisayo ukubona ukuthi uMadiba uthandwa ngumhlaba wonke.”

Unxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqhubeke nokuthandazela uMandela nodokotela bakhe.

UMandela welashelwa isifo samaphaphu ePitoli esilokhu simnakashele kusukela ngoMgqibelo.

Uthe kuyinto enkulu ukubona abantu bakuleli nabamazwe omhlaba ekufiseleni uMadiba ukwelulama.

“Siyaziqhenya ngokuthi ungowethu, sinxusa abantu baseNingizimu Afrika nabasemazweni omhlaba ukuba baqhubeke nokubeka uMadiba nethimba lakhe lodokotela emithandazweni yabo,” kusho uZuma.

Uthe ufisa ukubonga bonke abantu wathi ukweseka kwabo uMadiba bayakwamukela.

Khona izolo umzukulu kaMandela, inkosi Mandla Mandela ubonge isizwe sonke ngokubeseka kulesi sikhathi esinzima ababhekene naso. Ekhuluma ngaphandle komuzi kaMandela eHoughton, eGoli, uthe: “Umkhulu wami ungubaba wesizwe sonke, othandwa nawumhlaba wonke, ngakho siyabonga ngokwesekwa esikutholayo,” kusho uMandla.

Uthe umndeni uyabonga ngokuthi uMandela uthola ukwesekwa nguhulumeni ehhovisi likaMengameli ne-ANC.

Izolo uNkk Winnie Madikizela Mandela ubonakale efika esibhedlela ngehora lesithathu ntambama emuva kwemizuzwana walandelwa indodakazi kaMandela uMakaziwe. Esibhedlela bekukhona unkosikazi kaMandela, uGraca Machel.

Nomholi we-IFP uDkt Mangosuthu Buthelezi ucele amalunga ePhalamende esilisa ukuthi “asukume wonke” ngaphambi kokuhlonipha uMandela embiza ngegama lakhe lasebukhosini ethi “Ah! Dalibhunga”.

Baqube ezihlotsheni abashelwe wumuzi

$
0
0

Indlu ishe yangqongqa

|||

BONISWA MOHALE

UPHOQELEKE ukuba uyoquba ezihlotsheni nakomakhelwane umndeni wakwaDlamini eMaweni, eSub 5, ngaKwaDabeka emuva kokuthi indlu yawo enamakamelo amabili ishe yangqongqa nezimpahla zaba wumlotha.

Ngokusho kukaNksz Zandile Khumalo (42) basola ukuthi ingane ishiye ikhandlela livutha ngesikhathi iya esikoleni ngoba bona babone sekusha ubuhanguhangu ekamelweni lezingane.

“Ngisola ukuthi ingane ishiye ikhandlela likhanya ngoba besingenawo ugesi izolo, sasesikhanyisa ikhandlela. Umlilo ubonwe ngumakhelwane wethu obedlula ebuza ukuthi ngabe ngiphekeni. Ngithe uma ngilunguza ekamelweni lezingane ngabona kusha konke,” kusho uNksz Khumalo.

Kushe ngoMsombuluko ekuseni cishe ngezithuba zabo-7.30 kusanda kuhamba intombazane yakwaDlamini eneminyaka engu-14.

UNksz Khumalo uthe ubesalungiselela ingane yakhe yomfana u-Aphe Dlamini ukuba iye esikoleni ngesikhathi umakhelwane emtshela ukuthi kuyasha ekamelweni lezingane.

“Kube yinhlanhla ukuthi u-Aphe ubesaye kwamakhelwane edlala nengane yakhona ngesikhathi ngisamenzela itiye. Ubaba uphume sekukubi kuvimbanise intuthu. Sithe uma sizama ukucima kwasho ukuthi sekuphele isikhathi nezintambo zikagesi besezisha, kwasha yonke into. Sisele nalokhu esikugqokile. Asinabo omazisi nobaba nezingane azinazo izitifiketi zokuzalwa kushe nekhadi lokuziholela imali yesibonelelo sikahulumeni,” kusho uNksz Khumalo.

Unxuse umphakathi ukuba umsize ngezimpahla zokugqoka, wothayela, wukudla nomfaniswano wesikole ngoba ingane yakhe yomfana ayiyile ngisho esikoleni.

Uthe uDlamini akasebenzi kodwa uziphilisa ngokubamba amatoho uma evela, bangabantu abaswele abangazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani njengoba kuvele lesi simo.

Ebuzwa ukuthi kungani ezibiza ngoNksz Khumalo kodwa ebe ehlala noDlamini, uveze ukuthi akashadile noDlamini, unguyise wezingane zakhe.

Yize umlilo ushise ikhaya lakwaDlamini ngoMsombuluko kodwa bekungakafiki muntu ukuzowulekelela.

nekhansela lendawo, uMnuz Bheki Mvubu, belingatholakali ocingweni lwalo.

Kuphazamiseke ukufunda bekhala ngothisha oqashiwe

$
0
0

Baxoshe uthisha esokleni abafundi

|||

MHLENGI SHANGASE

KUME ukufunda eSiphethwini Primary eMlazi izolo, othisha bevalela omunye wozakwabo ngaphandle, abathi abamfuni ngoba ufike ngendlela enomkhoshosho kulesi sikole.

Uthisha oxoshwayo ufike kulesi sikole ekuqaleni kwenyanga edlule esuka esifundeni iSisonke. Othisha bashaya phansi ngonyawo bathi ngeke balubhade emakilasini uma lo thisha oyinhloko yamabanga aphansi engahambi.

Abakhala ngakho wukuthi akuzange kulandelwe indlela ejwayelekile yokuthi uma kuhambe umuntu kukhangiswe isikhala, kufakwe izicelo, kubizwe abantu bayohlonywa imibuzo bese kuqashwa.

Omunye wothisha obevutha engabaselwe ngokufika kwalo thisha, ocele ukungadalulwa ukuze angabi nyamanambana kuthishanhloko, uthe indlela afika ngayo ishayisa amakhala.

Uthe uthisha obekulesi sikhundla ushiye ekupheleni kuka-Ephreli kulo nyaka ngemuva kokusula kodwa akuphelanga zinsuku ezingaki babona sekumemfuka omusha.

“Obekhona ugcine ngo-Ephreli 30, sabona sekungena omunye ngoMeyi 2 endaweni yakhe ekubeni isikhala sakhe sisakhangisiwe. Isikhala asivalile sisakhangisiwe ngakho sazi ukuthi akumele ngabe kukhona umuntu osengene kusona. Bekumele kube nozobamba kuze kuqokwe omusha,” usho kanje.

Uthe noma ngabe kuthiwa izinto zishesha kangakanani ngeke kungapheli ngisho isonto kuhambe omunye bese kufika omusha.

“Sikumisile ke ukufunda ngoba simfuna ehambile lo thisha. Indlela afika ngayo iyasidida. Hhayi ngoba sinomona noma sifuna izikhundla kodwa sifuna kwenziwe ubulungiswa, bonke abantu banikwe ithuba lokufaka izicelo. Uma isikhala sesikhangisiwe noma ngubani onguthisha kuleli angafaka isicelo,” usho kanje.

Uthe umhloli ubathembise ukuthi uzobuya nezimpendulo kusasa. Uthe uma lo thisha ebuya namhlanje bazoya koqhinqa emahhovisi omnyango.

Inhloko yomnyango, uDkt Nkosinathi Sishi, ithe bawuzwile umsindo ngalo thisha, kukhona ithimba elijutshiwe eliphenya ngalezi zikhalo.

Uthe kodwa uma kungukuthi uhlelo lonke lulandeliwe bazoqhubeka bamqashe uthisha, ngeke baze badlale abantu abalwa izimpi zezinyunyana.

“Ithimba lethu eliphenya lolu daba lizobuya nezimpendulo ngokwenzekile ngalo thisha. Uma kungukuthi kulandelwe yonke imigudu sizoqhubeka simqashe uthisha kanti uma othisha beqhubeka nokuphikisana nalokhu sizobaphuca isikhundla sokuba ne-HOD (Head of Department) sitholwe esinye isikole,” usho kanje.

Uthe uma beqasha othisha ababheki ukuthi uqhamukaphi, kuyiphi inyunyana, ngakho ngeke baze bavumele abantu abadlala izimpi zezinyunyana.

Ugwetshwe engu-105 umdlwenguli

$
0
0

Ubebadlwengula ebabiza ngonondindwa

|||

MPILETSO MOTUMI

‘UNGAMBIZA unyoko, udadewenu noma unkosikazi wakho ngonondindwa?”

UVuledzani Ramulifho wabiza omunye owaba yisisulu “ngonondindwa’’ ngaphambi kokuthi amdlwengule.

Lokhu kuvele emuva kokuthi omunye owaba yisisulu sikaRamulifho efakaze enkantolo ngesikhathi kuqulwa icala ukuthi watshela uRamulifho ukuthi mdala ngale ndlela yokuthi angaba ngunina kodwa wangamnaka wambiza “ngonondindwa”.

Ubuhlungu nokuhlakazeka kwalo mama nezinye izisulu kwenze uJaji Pandya wagweba uRamulifho iminyaka engu-105 ejele ngaphambi kokuthi acatshangelwe ukuthola ushwele.

Ugwetshwe odilikajele abathathu ngamacala okudlwengula. Uphinde wagixabezwa ngeminyaka eyishumi ngamanye amacala amane okudlwengula.

URamulifho uphinde wagwetshwa eminye iminyaka eyishumi ngecala ngalinye kwayishumi okubalwa ukuphanga esebenzisa udlame, iminyaka emihlanu emacaleni angu-13 okudlwengula neminyaka emihlanu ngokubaleka eboshiwe.

Wonke lawa macala anodlame enzeka ngo-2010.

Ngesikhathi echaza uJaji Pandya ngesigwebo esinzima asinike uRamulifho, uthe ubedoba abantu besifazane kwiQuantum yakhe emhlophe eRoodepoort enza sengathi ubayisa emakhaya. Endleleni eya ekhaya, uRamulifho wayesebafutha nge-pepper-spray ebusweni bese eyabaphanga abathathele imali bese eyabadlwengula.

UJaji Pandya uthe uRamulifho ukhombise ukungabi nayo inhlonipho yamalungelo ezisulu futhi ubengaboni ukuthi udala izibazi emiqondweni yabo ngezenzo zakhe. Ijaji alizange libone kufanele ukuthi ancishiselwe isigwebo, lathi ukuthi ubengakaze aboshwe phambilini nokuthi washiya isikole kaGrade 9 akwanele ukuthi athole isigwebo esilula.

UJaji Pandya ukugcizelele ukuthi isimo sempilo kaRamulifho asisho lutho uma kuqhathaniswa nezenzo zakhe nomthelela ezaba nawo empilweni yabahlukumeza.

Ijaji lithe uRamulifho waba nenhlanhla yokuthola umsebenzi wokushayela amatekisi esebenzela umfowabo omdala. “Owakwenza, wakwenza hhayi ngoba kunesidingo. Awukwenzanga ngenxa yomona nenkanuko,” usho kanje.

UJaji Pandya uthe uRamulifho waqeda nya ukwethemba abanye abantu kulaba besifazane abadlwengula.

URamulifho ubehleli ehlanganise izandla. Ubelalele ngesikhathi uJaji Pandya ekhuluma ngesibindi asikhombisa ngesikhathi ephika ukuthi wazibona izisulu zikhala ngesikhathi zethula ubufakazi enkantolo.

Izisulu nemindeni yazo zithole ukuphefumula ngesikhathi zibona ukuthi zikhululekile ekugcineni emuva kokugwetshwa kwale ndoda “ebidlwengula iphindelela’’ nokuyigama elisetshenziswe yijaji.

“Jesu, siyabonga Jesu… Bukhona kanti ubulungiswa … ekugcineni sekuphelile,” kusho omunye, ngesikhathi bangana futhi bekhala ndawonye.

Indodakazi kaRebecca uCynthia, eseyashona, yadlwengulwa nguRamulifho. “Ngisho ingane yami ikhululekile lapho ikhona,” kusho uRebecca.

Uthe uzoya ethuneni lendodakazi yakhe ukuze ayitshele lezi zindaba ezimnandi.

“Wasihlukumeza kusukela ngosuku lokuqala. Kusukela ngesikhathi ngilanda indodakazi yami endaweni okulahlwa kuyo udoti. Leso sithombe angisoze ngisilibale. Angimbambele amagqubu. Sengimxolele,” kusho uRebecca emamatheka.

Akucaci ngesiteleka samatekisi namuhla

$
0
0

Qina Mshayeli, hlukumezeka mgibeli.

|||

SIMPHIWE NGUBANE noNOKUBONGWA PHENYANE

NAPHEZU kokusabisa kwenhlangano emele abasebenzi embonini yamatekisi KwaZulu-Natal, iSA Taxi Workers Organisation (Qina Mshayeli), zokuthi namuhla amalungu ayo azogodla amandla, kodwa inhlangano yamatekisi iSantaco ithi amatekisi azosebenza ngokujwayelekile.

IQina Mshayeli iphonsela inselelo umqashi noMnyango wezabaSebenzi ukuthi babaqashe ngokugcwele khona bezokwazi ukuhlomula ngempesheni, i-medical aid, futhi bangaxhashazwa ngumqashi obaxosha noma yinini uma ezwa ethanda.

UNobhala kaQina Mshayeli, uMnuz Musawenkosi Khoza, uthe abanazinhlelo zodlame kodwa bazogodla amandla abo bangasebenzi kuze kube umqashi uhlangabezana nezimfuno zabo.

Uthe okujabulisayo wukuthi sebebazisile abagibeli emarenki bebanika namapheshana abechaza kabanzi ngesiteleka sanamhlanje. “Kuyaziwa ukuthi imboni yamatekisi inodlame ngakho abagibeli abaziphephise ngokuthi bangasebenzisi tekisi ngenxa yokuthi bangazithola sebeyizisulu zodlame namhlanje. Thina singabashayeli sobe sihleli emakhaya sitelekile kuze kube kwenziwa esikufunayo,” kusho uKhoza.

Iphini likasihlalo kwiSantaco, uMnuz Boy Zondi, liqinise idolo abagibeli ngokuthi amatekisi azobe esebenza ngokujwayelekile namhlanje njengoba bezobe bewagadile ngokubambisana namapho-yisa. Ubuze ukuthi bangobani abantu bakaQina Mshayeli, bamele obani futhi zinhloso zini abanazo ngemboni yamatekisi. “Thina sazi izinyunyana ezimele abasebenzi futhi eziqale zixoxe nomqashi ngaphambi ngokuthi ziteleke. UQina Mshayeli uxoxe nobani kwavunyelwana ngani njengoba sebefuna ukumisa izimoto zethu?” kubuza uZondi. Nenhlangano yamatekisi ahamba amabanga amade iDurban Station Long Distance Association iveze ukuthi amatekisi angaphansi kwayo azosebenza njengasemhleni, akukho lutho oluzoshintsha.

Basabise ngokuthi kuzohamba kufike isikhathi lapho bebhekana ngqo nabasunguli bale nhlangano esophe ukuzodala udungunyane embonini yamatekisi. UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu uthe yize belihlonipha ilungelo likaQina Mshayeli lokuteleka nokumasha kepha kabazohambisana nokuthi kushaywe abashayeli abazobe besebenza nokulinyazwa kwempahla. “Sizoqinisa ezokuphepha ngoba asifuni kuphinde kwenzeke okwenzeka eThekwini kucekelwa phansi impahla, kushaywa nabagibeli esitelekeni esasihlelwe yile nhlangano. Uma kukhona okudinga umnyango kwabakutelekelayo, abasazise khona sizohlela umhlangano sikulungise,” kusho uMchunu.

Amaphoyisa kaMasipala weTheku ami ngomumo ukubhekana nabazophazamisa ukuhamba kwamatekisi namuhla ngoba akekho onelungelo lokuvimba omunye.

USenior Superintendent Eugene Msomi, uthe abakufundile ngeziteleka ezifuze esanamuhla wukuthi akuwona wonke umshayeli osuke efuna ukuteleka ngakho bazokanisa ezintubeni eziyingozi, batshale kuzo amaphoyisa.

Bavale imigwaqo befuna izindlu ngodli

$
0
0

Badube ngisho nomsebenzi

|||

SANDILE GUMEDE

BADINWE bavala umgwaqo u-Alpine Road ngamathayi avuthayo nangezigodo izolo abantu abahlala emijondolo eJadhu Place, e-Overport, eThekwini, bekhala ngokugqoza kokuhlinzekwa ngezindlu kodwa kube kwakhiwa amathoyilethi kuphela.

Bathi abasalethembi ikhansela ngoba alibenzeli lutho, selokhu lakhethwa ngo-2011 alikaze libize ngisho umhlangano womphakathi ukuzobachazela ngezinhlelo zentuthuko.

Elinye ilungu lomphakathi, uMnuz Nabantu Zulu, lithe selokhu lafika kule ndawo ngo-1991 intuthuko liyizwa ngendaba, kunalokho bakhelwa amathoyilethe ekubeni bengenazo izindlu behlala emijondolo evuzayo.

“Siqome ngisho ukungayi emsebenzini ngoba sifuna izindlu nogesi,” kusho Zulu.

Uthe okunye abakufunayo wukuthi umgwaqo u-Alpine, ufakwe amarobhothi kanye nezinciphisajubane ukugwema izingozi ngoba izimoto zihamba ngesivinini esiphezulu.

“Nakuwo lo mgwaqo kudingeka kwandiswe amarobhothi, kufakwe izinciphisajubane, ukugwema izingozi. NgoLwesihlanu kuwo lo mgwaqo kukhona umuntu owashayiswa yimoto eyayigijima ngesivinini esiphezulu, ingalo yanqamuka,”kusho uZulu.

UNksz Landeleni Dlamini (41), ohlala emjondolo onekamelo elilodwa, uthe okudale waba wahlanganyela embhikishweni wukuthi uyayidinga indlu njengoba ethi bampintshene okosayidinsi ethinini.

“Mina ngihlala emjondolo nomasihlalisane wami kanye nezingane ezimbili. Angihleli kahle ngoba lo mjondolo mncane kwawona njengoba umntwana wami ona-10 uyaphoqeleka ukuthi alale phansi. Asibi naso nesikhathi sokuxoxa ngezinkinga zethu njengabantu abadala phambi kwezingane,”kusho uNksz Dlamini.

Ekuhambeni kosuku, iMeya yeTheku, uMnuz James Nxumalo, igcine ifikile ukuzolalela izikhalo zabantu, yabe isicela ukuba umphakathi ukhethe ikomidi elizowumela uma sebehlangana ngoLwesibili oluzayo.

“Sigcine sifikile nemeya ukuzozwa izikhalo zabantu, kwavunyelwana ukuthi abantu behlise imimoya bese bekhetha ithimba labantu abayishumi elizohlangana nemeya, ukuze bathole ithuba lokwethula izikhalo zabo ngoLwesibili. Sizohlangana nabo kanye nayo yonke iminyango ethintekayo ngaphansi kukamasipala weTheku,” kusho ikhansela Bhekisani Ngcobo wakuwadi 25.

Ebantwini abebebhikisha kugcine kuboshwe abane ngokudala uthuthuva emphakathini. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uthe kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi eThekwini namuhla.


Bashelwe wumuzi kade benze umshado omkhulu

$
0
0

Okubuhlungu wukuthi zishe zonke izimpahla

|||

SANDILE GUMEDE

USADIDEKILE umndeni wakwaNgcobo kwa F eMlazi emva kokuqubuka komlilo namanje okungaqondakali ukuthi udalwe yini ongqongqise umuzi wonke emuva kokuba abanikazi bomuzi kade benze umshado omkhulu wesintu.

Umama wekhaya, uNkk Sibongile Ngcobo (54) uthe umlilo uqubuke ngezithuba zabo 11 emini ngoLwesithathu behlezi ekhishini. Uthe babona sekuqubuka intuthu kwelinye lamakamelo akulendlu, enamakamelo amane.

“Besizihlalele nezingane ekhishini siphuza itiye. sibone sekuqubuka intuthu egunjini lokudlela lapho bekubekwe khona izimpahla zomshado.

“Sithe siyazama ukubhula umlilo kanti sekokheleke nezinye izinto kwaze kwaqhuma nesigubhu sikagesi,” kusho uNkk Ngcobo.

Uqhube wathi akazanga ukuthi umlilo uthungeleke kanjani nokuthi ubhebhethekiswe yini ngoba nomoya ubungemkhulu ngaphandle.

“Okubuhlungu wukuthi akuphumanga lutho empahleni ebiphakathi njengoba kushe ngisho i-TV kanye nefenisha ebithengwe njengoba kade kungumshado omkhulu,” kuqhuba uNkk Ngcobo.

Ngakolunye uhlangothi umyeni wakhe, uMnuz Amos Ngcobo (61), uthe kuyaxaka ukuthi kungavele kuqhamuke umlilo esikhaleni. UNgcobo ugcine esethi usola “izinto zabantu”.

“Akukwazi ukuthi kungavele kuqhamuke umlilo esikhaleni kube kungekho into ebasiwe noma ukuqhuma okukhona. Ngokubona kwami awukho umlilo obungavele uqhamuke obala la, kuze kuqale ngokuthi kushe izimpahla zomshado ngoba kade siqedela umshado wesintu nomama wezingane,” kusho uNgcobo.

Uthe nabezicishamlilo bafike emva kwendaba sekushe kwaphela yonke into. UNgcobo ukhale ngokuthi nakuba amaphoyisa ebikeliwe kodwa akaze alubhade.

“Amaphoyisa akakaze alubhade la. Kuthe uma ebikelwa athi asikho isidingo sokuza ngoba vele akulimalanga muntu futhi akekho umuntu oqale umlilo. Bathe akuye mina ngiyobhala isitatimende,” kuzikhalela uNgcobo.

Indlu eshile ibisanda kulungiswa njengoba kade kunendumezulu yomgcagco lapho kwakuhlatshwe khona izinkomo ezimbili.

Kumanje umndeni, onamalungu ayisikhombisa, umpintshene kwelinye igumbi lokulala izingane eliseceleni kwendlu eshile.

Ohlupha unina ushise indlu ekhuzwa

$
0
0

Owesifazane waseBhambayi uthi akafisi nokuyibona indodakazi yakhe emshisele indlu.

|||

MLUNGISI GUMEDE

OWESIFAZANE osekhulile waseBhambayi eNanda uthi akafisi nokuyibona indodakazi yakhe ewuhlupho ebagilile yashisa indlu yabo yomxhaso basala dengwane.

UNksz Bukeleni Dlamini (71) uthi kuyena indodakazi yakhe, uNksz Lindiwe Dlamini (36), ifana nento efile ngenxa yesenzo sayo.

“Kade aqala esisongela ethi uzosishisa nendlu njengoba egcine enzile ngoMgqibelo,” kusho uNksz Dlamini.

Elandisa ngalesi sigameko, uNksz Dlamini uthe uLindiwe uxabane nabanye besifazane ngosuku lwesigameko, kwaba nguyena ogadla kuqala kubona, bamshaya wabaleka wangena endlini wazikhiyela wabe eseshisa indlu.

“Kuthe esebona ukuthi umlilo uzombulala, waphuma ngewindi wabaleka,” usho kanje.

UNksz Dlamini uthe kushe yonke impahla ebiphakathi endlini okubalwa omazisi babo nokudla.

“Sisale nalokhu ebesikugqokile kuphela. Ngikhuluma nawe nje sihleli emnyango, asinayo indawo yokuhlala,” usho kanje, wengeza ngokuthi nakuba kukhulunywa ukuthi bayakuthola okuya ngasethunjini babonga omakhelwane ababasize ngesaka lamazambane nempuphu.

UNksz Dlamini uthe uLindiwe ubehlale esonga ethi uzobashisa nendlu aboshwe ukuze ahlukane nokuhlupheka kwakubo.

“Ukuba kuya ngami ngabe kade ngamxosha lapha ekhaya, usizwa wudadewethu onozwela othi uma simxosha uzoyaphi,” usho kanje.

Uthe yindodakazi yakhe impela kodwa akasayidingi empilweni yakhe ngoba isimhlukumeze kakhulu.

“Ngo-2006 saze samfaka eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma yakhipha isinqumo sokuthi akahambe ekhaya, wasindela yena futhi udadewethu onezinseka ngaye,” usho kanje.

ULindiwe kuthiwa akanawo ngisho umazisi ngendlela aziphethe ngayo, unina uthi ukhonze nokuphuza utshwala.

Waboshwa ngamaphoyisa aseMtshebheni ngosuku lwesigameko. Kulindeleke ukuthi aphinde avele enkantolo ngoJulayi 16 ngalo leli cala.

Ugcinwe ezitokisini ejele laseWestville.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uthe umsolwa uboshiwe mayelana necala lokucekela phansi impahla kanti useke wavela nasenkantolo ngalo.

Iyakhuphuka|imali yokuthelela i-TV

$
0
0

Bekufanele yenyuswe ngo-R15 imali ye-tv licence, usho kanje uMnuz Kaizer Kganyago.

|||

BONISWA MOHALE

BEKUFANELE yenyuswe ngo-R15 imali ye-tv licence, usho kanje uMnuz Kaizer Kganyago okhulumela inhlangano yezokusakaza ngomoya eNingizimu Afrika, i-South African Broadcasting Corporation (SABC), ngesikhathi echaza ngokuthi sebezokhokha u-R265 abantu bakuleli abanamathelevishini.

UKganyago uchaze uR15 njengemali ezobenza bakwazi ukumelana nezindleko zokusakaza izinhlelo futhi bandise nezinhlelo ezididiyelwe zakhiqizwa kuleli.

Uveze ukuthi imali yama-tv licence yiyona eyenza bandise izinhlelo ezikhiqizwe eNingizimu Afrika ezikhulisa isibalo sababukeli bethelevishini.

“Kufanele siyenyuse imali ngoba izindleko ziyenyuka minyaka yonke. Sisakaza izinhlelo zemfundo, imidlalo edidiyelwe eNingizimu Afrika, ezemidlalo ezahlukahlukene kusukela kunobhutshuzwayo, ikhilikithi neminye imidlalo esisuke siyisakaza bukhoma. Kumele abantu bakhokhele ama-tv licence ukuze siqhubeke nalo msebenzi,” kusho uKganyago.

Udonse ngendlebe abantu ukuba bakhokhele ama-tv license ngoba uma bengawakhokheli benza okuphambene nomthetho futhi bazojeziswa uma bebanjwa.

Uthe yize beqwashisa umphakathi ngokubaluleka kokukhokhelwa kwama-tv licence basebaningi abantu abangawakhokheli.

Ngokocwaningo lwango-2011 lwaka-SABC bangu-10.7 million abantu bakuleli abanamathelevishini kulesi sibalo bangu-4.7 million kuphela abakhokhela i-tv licence.

USABC wenza u-R1.01 billion ngemali yama-tv licence kanti izikhulu zakhona zithi ngabe iningi imali engena kule nhlangano ukube bonke abantu abanamathelevishini bayawakhokhela ama-licence.

Umndeni ufuna onyamalale eBerea

$
0
0

Ukhala ngokwenzelwa phansi ngamaphoyisa aseThekwini umndeni wentombazane osekuphele isonto inyamalele.

|||

NONHLANHLA MKHABELA

UKHALA ngokwenzelwa phansi ngamaphoyisa aseThekwini umndeni wentombazane eneminyaka engu-17 osekuphele isonto inyamalele selokhu yagcina ukubonwa ihamba nodadewabo beyovakashela kubo ePort Shepstone.

UHappiness Nokulunga Hlongwa waseShowe ofunda uGrade 10 eKing Zwelithini wagcina ukubonwa ehamba nodadewabo uXolo (15) beyovakasha kubo njengoba kuvalwe izikole kodwa akabange esafika ekhaya, wanyamalala eBerea, eThekwini.

Ngokusho kukamfowabo, uMnuz Nkosinomusa Mbambo, washayela uXolo ucingo ngoMsombuluko ntambama ngeledlule ebabheka ukuthi ngabe bafike kahle yini ekhaya nalapho athola khona ukuthi uHappiness wanyamalala eThekwini.

“UXolo uthi naye akazi ukuthi wanyamalala kanjani, wathi emqalaza wabona engasekho eduze kwakhe wazama ukumcinga wangamthola,” kusho uMbambo.

Uthe wamshayela kwiselula yakhe uHappiness wakuqinisekisa ukuthi useBerea, eThekwini, kodwa uyesaba ukuqhubeka nohambo oluya ePort Shepstone ngoba kwase kuhlwile.

“Ngenxa yokuthi ngangingenayo imali eyanele ocingweni nganqamuka, ngaphuthuma ngathenga enye i-airtime kodwa uma sengishaya futhi ucingo lwalungasangeni,” kuchaza uMbambo.

Uthe ngakusasa bavukela esiteshini samaphoyisa iDurban Central lapho kwafike kwavulwa ifayela labalahlekile kwathiwa abalinde inombolo izongena ocingweni kungekudala kodwa kwagcina kungenzekanga.

“Sibone kuqhubeka izinsuku ingangeni saphindela khona ngoLwesihlanu kwathiwa alikho ifayela elavulwa labalahlekile isonto lonke kodwa kamuva kwavela ukuthi empeleni akhona amanye abengakafakwa kumakhompyutha.

UMnuz Sanele Mbambo, naye ongumfowabo kaHappiness uthe batshelwa ukuthi ngeke liphenywe leli cala eDurban Central ngoba ngelaseBerea kwathiwa ababuyele khona.

Uthi eBerea babuye babuyiselwa emuva futhi bagcina sebetshelwa ukuthi abaphenyi abekho ngoba yimpelasonto ababuye ngoMsombuluko.

“Ngisola ukuthi isono sami kwaba wukubuza ukuthi ukube asizange sibuye ngabe imininingwane yokulahleka kukadadewethu isahleli ayikarekhodwa na,” kusho uSanele.

Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Khephu Ndlovu, uthe ifayela lomuntu olahlekile bekufanele livulwe eBerea, wakhuza umhlola ngokungasizwa kwabantu.

“Kuyamangaza ukuthi kungathi abantu bedinga usizo balokhu bethunyelwa le nale kube kuwudaba olucacile nje lolu,” kusho uNdlovu.

Uthe kuzomele baphindele esiteshini samaphoyisa saseBerea bavule khona ifayela uma bengalutholi usizo bacele uLieutenant Naidoo osophikweni lwezokuxhumana babeke kuyena udaba.

Uthe nabo bazobheka ukuthi kungani umndeni kaHappiness ungalutholanga usizo ekuqaleni.

Isikhalo kubashayeli ngo-R50 we ‘drink’

$
0
0

Abantu abathutha amakholwa ebandla lamaNazaretha eBuhleni bakhala ngokukhokhiswa “imali kanemenayithi”.

|||

SANDILE GUMEDE

ABANTU abathutha amakholwa ebandla lamaNazaretha eBuhleni njengoba kunomhlangano omkhulu ozophela ekupheleni kwenyanga bakhala ngokukhokhiswa “imali kanemenayithi” ngamalungu kasosesheni wamatekisi kuleya ndawo iNdwedwe/Qadi Taxi Association.

Abakhalayo iningi labo elihamba ngamatekisi elicele ukungavezwa bathi bakhokhiswa u-R50 ukuze bangene kule ndawo.

Lo mkhuba kuthiwa wenziwa njalo uma kunezinkonzo ezinkulu eBuhleni. Kuthiwa uma bengafuni ukukhokha bayavinjwa noma bathululiswe amakholwa.

Isolezwe lihambele kule ndawo izolo laxoxa nabanye abashayeli abangaphansi kweNdwedwe/Qadi Taxi Association abavumile ukuthi ezimotweni ezingekho ngaphansi kukasoseshini wabo kudingeka umshayeli ‘axhawule’ ngemali engu- R50.

“Akekho umuntu ophucwa imali ngenkani kodwa abantu abashayela amatekisi bayayazi inqubo yakule mboni ukuthi kudingeka kube khona abakushiyayo ngoba basuke besemzileni okungesiwo owabo. Nathi uma siya kwezinye izindawo sikhokhiswa enkulu imali, asibi nankinga ngoba siyazi ukuthi sisuke singekho endaweni yethu,” kusho umshayeli owalile negama lakhe.

USihlalo walo soseshini, uMnuz Mjabulelwa Gcwensa uhambe emazwini omshayeli, wathi konke abakwenzayo kusemthethweni wagcizelela ukuthi abagibeli abayifaka unyawo lwedada indlela abasebenza ngayo.

“Abantu abakule mboni bayayazi inqubo yokusebenza, inkinga ukuthi abagibeli abasuke beqashe imoto bayithatha ngesinxele le nto kodwa abanikazi bezimoto nabashayeli abanankinga,” kuchaza uGcwensa.

Uqhube wathi uma abantu bengafuni ukukhokha u-R50 kudingeka ukuthi babe nemvume ebagunyaza ukuba semzileni okungesiwo owabo. Uthe abantu abasuke beze esontweni baningi ngendlela emangalisayo ngakho ngeke babavimbe abantu ukuthi bathuthe kodwa kudingeka baziwe ukuthi bangobani ngokuthi bakhokhe bese bethola ubufakazi bokukhokha ukuze bangakhokhi kabili.

“NgokoMnyango wezokuThutha umuntu unemvume yokusebenza endaweni ethile hhayi ezweni lonke, ngakho uma efika kwenye indawo kudingeka ahloniphe umthetho walapho. Asinawo umona wokuthi sivimbe abantu ukuthi baselekelele ukuthi bathuthe abantu,” kuqhuba uGcwensa.

UGcwensa uthe naye wake wakhokhiswa u-R500 eyolanda abantu kwaNongoma enomcimbi ekhaya kodwa akazange abe nankinga ngoba wayengenayo imvume yokulayisha khona.

Uphethe ngokuthi uma kukhona abantu abathathelwa imali engaphezu kukaR50 abahambe bavule amacala ngoba kobe babanjwe inkunzi yizigebengu.

“Abantu bethu bama ekhoneni ngaseHlengimpilo noma ngase-Prophet Isaiah Shembe Centre bafaka amajakhethi acwebezelayo. Umuntu ukhokha u-R50 bese enikwa ubufakazi ukuze angakhokhi kabili. Le mali akuyona eyethu kodwa isiza ekukhokheleni abantu abasisiza ukuqondisa imigqa yabagibeli,” kuchaza uGcwensa.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha nokuPhepha KwaZulu-Natal uMnuz Kwanele Ncalane uthe bona abahambisani nokukhokhiswa kwabantu, egcizelela ukuthi umsebenzi wamaphoyisa ukubheka ukuthi imoto inayo yini imvume noma cha.

“Kuyinto enganambitheki ukuthi kubekhona abantu abavimba izimoto bazikhokhise imali ngoba zingenayo imvume. Akuwona umsebenzi wabo ukubheka ukuthi imoto inayo imvume kodwa owamaphoyisa. Lokhu kungumkhuba ongamukelekile ngisho ngabe kukhona izivumelwano abanazo,” kusho uNcalane.

Uqhube wathi bazotshala amaphoyisa ukubheka isimo ukuze lo mkhuba ungaqhubeki futhi kwenziwe isiqiniseko sokuthi labo abangenazo izimvume bathathelwa izinyathelo ezifanele.

Behlukene phakathi ngoMotshekga

$
0
0

Zihlukene phakathi izinyunyana zothisha kuleli ngokungakhonjwa indlela kukaNkk Angie Motshekga.

|||

MHLENGI SHANGASE

ZIHLUKENE phakathi izinyunyana zothisha kuleli ngokungakhonjwa indlela kukaNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo kuleli, uNkk Angie Motshekga.

ISadtu ithi idumele ngesenzo sikaMengameli Jacob Zuma sokungamxoshi uNkk Motshekga ethi uhluleke wancama ukulungisa izinto kwezemfundo. Enye yezinto le nyunyana elwa nazo noNkk Motshekga wukusalela emuva ngezifundo kwabafundi baseLimpopo ngoba izincwadi zingafikanga.

INatu ithi kukhulu lo Ngqongqoshe asekwenzile selokhu athatha izintambo eMnyangweni njengohlelo lwezivivinyo emabangeni aphansi, i-Annual National Assessments, ukunciphisa umsebenzi owawubhekene nothisha njengoba sebenefayela eyodwa kuphela manje ekubeni babenenqwaba phambilini nokunyuka minyaka yonke kwezinga lokuphasa kwaMatric.

Imibono yabantu ezinkundleni zokuxhumana namaqembu aphikisayo, ikhala ngokuthi uNkk Motshekga bekumele ligawule nakuyena izembe.

UNobhala-jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, uthe bebecabanga ukuthi uZuma uzolisabela ikhwelo labo lokuthi axoshe uNkk Motshekga njengoba bebehlale bekhala ngaye.

Uthe badumele ngokuthi usakhona wathi yize kuyilungelo likaZuma ukuqoka nokudiliza oNgqongqoshe kodwa bacabanga ukuthi bekumele axoshwe.

“Akukho ukuthuthuka okukhona kubafundi ngoba abafundi, abazitholi izincwadi, izikole eziningi zisabhekene nenkinga kwingqalasizinda. Selokhu angena ugqigqa ezinkantolo, uhluleka nawukushicilela imigomo yengqalasizinda kuzona zonke izikole. UNgqongqoshe akafuni ukuxosha uMqondisi-jikelele walo Mnyango yize kunezinto eziphathekayo zenkohlakalo ezimthintayo nokuphula isivumelwano sokunyusela abamakayo amaholo asisayina emini kwabha,” usho kanje.

UMnuz Allen Thompson, oyiPhini likaMengameli weNatu, uthe ziningi izinto esezenzekile selokhu uNkk Motshekga aphatha ezemfundo.

“Kunama-workbooks asetshenziswa ezikoleni, othisha wehlile umthwalo abebebhekene nawo sebenefayela eyodwa futhi nguyena owaqala uhlelo lokuthi izinyunyana zothisha ziziqeqeshele amalungu azo. Izivivinyo zika-ANA ezibhalwa minyaka yonke ziyasiza ukuzikala ukuthi izwe likuphi nokuthi lokho okufundiswa ngothisha kuyazwakala yini njengoba kunguyena owaqhamuka nazo futhi asisalindi kuze kubhalwe kwaMatric,” usho kanje.

Uthe benelisekile ngomsebenzi awenzile, wathi ukupheka kuthululwe oNgqongqoshe ngeke kuyithuthukise imfundo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Panyaza Lesufi, ucashunwe yi-SABC, ethi umsebenzi kaNgqongqoshe uyazisho njengoba imiphumela kaMatric inyuka njalo, baningi abantu abadala asebekwazi ukufunda nokubhala.

Uthe bayaziqhenya ngeLimpopo njengoba abafundi abahlanu abaphuma phambili kwaMatric nyakenye babeqhamuka khona.

Bamtitinyile otholwe enqunu kwamakhelwane

$
0
0

Kutitinywe owesifazane waseMgababa obanjwe oqotsheni enqunu egcekeni lakwamakhelwane wakhe.

|||

MBALI KHANYILE

KUTITINYWE owesifazane waseMgababa obanjwe oqotsheni enqunu egcekeni lakwamakhelwane wakhe okusolakala ukuthi ubeyothakatha ngezintathakusa zayizolo.

Owesifazane, eligodliwe igama lakhe, kuthiwa ubanjwe emi nendoda ebisazama ukukhumula izimpahla zayo iphethe isikhwama ebesigcwele obekubukeka njengomuthi wesintu eduze kwemoto yendodana yakulo muzi abebekuwo.

Ngesikhathi ithimba leSolezwe lifika emzini wesigameko amalungu omphakathi abegcwele kulo muzi okubanjwe kuwo lowesifazane. La malungu abethukuthele egane unwabu efuna ukuqhubeka nokumshaya embuza nokuthi mingaki imizi aseyihambile.

Obanjiwe, obenemivimbo umzimba wonke, uveze ukuthi bebephuma emhlanganweni wabathakathi nendoda abehamba nayo egcine ngokudlubulundela ibaleke.

“Abanye bahambe ezinye izindlela mina ngahamba nalo ebengihamba naye,” kusho yena.

UMnuz Mjabulelwa Mbeko, wasemzini okubanjwe kuwo owesifazane, uthe namanje usathuthumela ngenxa yesigameko esenzeke phambi kwakhe.

“Namanje isangishaqisile le nto njengoba lo mama nendoda egcine ikwazile ukubaleka bebehamba nezinja ezingaphezulu kweshumi engikholwa wukuthi yizona ezibavikelayo. Bezisho ukungiqeda nya izinja zabo ngesikhathi ngizama ukubamba lo mama ngaze ngasizwa yisibhamu somsebenzi ebengisiphethe ngadubula eyodwa yazo ekhanda yafa ngaleso sikhathi,” kuchaza uMbeko oyiphoyisa.

Uthe owesilisa obehamba nalo mama akucaci ukuthi ungubani. Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Thulani Zwane, uqinisekisile ukuthi lubikiwe emaphoyiseni lolu daba kodwa kwangavulwa cala.

UZwane uthe lo wesifazane oneminyaka engu-60 uphuthunyiswe esibhedlela iGJ Crookes, eScottburg ngenhloso yokuthi alashwe aphinde ahlolwe nengqondo.


Ufuna kuncishiswe isigwebo sakhe uCwele

$
0
0

USheryl Cwele usefake isicelo enkantolo yoMthethosisekelo ukuze kuncishiswe isigwebo sakhe.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

USHERYL Cwele osedonse izinyanga eziyisishiya-galolunye ngecala lokushushumbisa izidakamizwa usefake isicelo enkantolo yoMthethosisekelo ukuze kuncishiswe isigwebo sakhe.

Isicelo sikaSheryl owayeyinkosikazi kaNgqongqoshe wezobuNhloli, uDkt Siyabonga Cwele, silandele emva kokuvela kokuthi inkantolo enkulu yagxambukela ekukhishweni kwesigwebo sakhe.

USheryl uboshwe no Frank Nabolisa odabuka eNigeria okunguye obengungqondongqondo ecaleni labo lokushushumbisa izidakamizwa.

Bobabili badlulisela icala enkantolo enkulu bekhala ngesigwebo ababenikwe sona. Inkantolo kunokuba isehlise isigwebo yabagixabeza ngeminye iminyaka. Yize uFrank kuthiwa nguye owayefake isicelo sokuncishiselwa isigwebo phambilini, kwakungafanele banyuselwe bobabili izigwebo kusukela eminyakeni ewu-12 kuya kwewu-20.

USheryl owayeyinhloko yezempilo ophikweni olubhekele umphakathi kuMasipala eHibiscus Coast, wagwetshwa noFrank eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ngoMeyi 2011.

USheryl noFrank bathumela oTessa Beetge noCharmaine Moss ukushushumbisa izidakamizwa. UTessa waboshwa eBrazil ngo-2008 kanti kumanje udonsa isigwebo seminyaka eyisishiyagalombili.

Encwadini ayifake enkantolo ngaleli sonto uSheryl uthe abenziwanga ubulungiswa ecaleni lakhe.

“Inkantolo ephakeme kwakungamele ingenelele esigwebeni sami ngoba ngangingazange ngifake isicelo sokuncishiselwa isigwebo. Nginamaphuzu abalulekile ahambisana nesicelo sami okungakuhle ukuthi uMnyango wezoBulungiswa unginike ithuba uwalalele.”

Ngaphambi kokuba silalelwe isicelo sikaSheryl, iJaji elikhulu uMogoeng Mogoeng lithe kuzomele lithathe isinqumo ngoba isicelo sifakwe sekwedlule isikhathi.

USheryl uthe isizathu sakhe sokuphuza ukufaka isicelo yingoba ubengenayo imali yabameli. Uthe uze wasizwa yisihlobo esimnike imali ngaleli sonto. Emuva kokugwetshwa uSheryl wahlukana nomyeni wakhe owathi wayengazi ngezidakamizwa.

UMadiba uyidla kahle imithi

$
0
0

UMnuz Nelson Mandela uyamukela kahle imithi alashwa ngayo.

|||

YIZE esesesimeni esibucayi owayenguMengameli wokuqala wentando yabantu, uMnuz Nelson Mandela kodwa uyamukela kahle imithi alashwa ngayo.

UMandela ulaliswe esibhedlela senhliziyo, iMedi-Clinic ePitoli. Lokhu kushiwo ngabehhovisi likaMengameli izolo.

“UMandela uyemukela kahle imishanguzo yize kusembulwa kwembeswa,” kusho okhulumela leli hhovisi, uMnuz Mac Maharaj esitatimendeni esithunyelwe abezindaba.

Ukuqinisekisile ukuthi uMengameli Jacob Zuma uhambele uMandela esibhedlela emini izolo.

UMandela ubeseqeda usuku lwesi-34 esesibhedlela.

Imoto kaZuma ingene isinyenyela esibhedlela yafakwa esangweni elikuPark Street ngezikhathi zasemini.

Amaphoyisa amane nonogada besibhedlela bebeqaphe ngelokhozi lapho kungene ngakhona uZuma. – Sapa

Uzoshada ngokwesintu nomhlophe

$
0
0

Intokazi esencane yaseMgungundlovu izobopha ifindo likasofa silahlane ngokwesintu nesithandwa sayo esingumlungu.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

INTOKAZI esencane yaseMgungundlovu izobopha ifindo likasofa silahlane ngokwesintu nesithandwa sayo esingumlungu.

UNksz Nomali Ntombela (23) waseSnathingi uzobe eshada owesintu ngoMgqibelo efake isidwaba, nomyeni wakhe uMnuz Heinz ‘S’celo’ Port (25) wasePitoli efake ibheshu.

UNksz Ntombela ubehlengezela izinyembezi uma exoxa ngobudlwelwano bakhe nowakwakhe athe ufuna izwe lonke lazi ukuthi uthando lwangempela lusekhona akubalulekile ukuthi yiluphi uhlanga olusuke luthandana.

“Abantu abasakholelwa othandweni lwangempela. angibhekanga ibala lomyeni wami ukuthi umhlophe noma umnyama ngesikhathi engicela uthando. okwabaluleka wukuthi unalo yini uthando lwami, ibala lakhe alisho lutho ngoba siyathandana,” kusho uNomali.

Le ntokazi eshayela imikhumbi ethwala impahla yahlangana noPort e-Durban University of Technology benza izifundo zemikhumbi. Ozoba ngumyeni wakhe uyiphoyisa lasemkhunjini.

Uthe wayeqala ngqa ukunconywa owesilisa ngombala ayewufake emlonyeni, owawugqamile.

“Siqala ukuhlangana wangincoma ukuthi umlomo wami ngiwugcobe kahle. Ngahlabeka umxhwele ngoba abafana abamnyama babengakaze bengincome. Kwaqhamuka umlungu esengincoma. Ngelinye ilanga ngamthatha ngamyisa olwandlwe lapho kugcwala khona abantu abamnyama ngifuna ukumbona ukuthi uzokwazi yini ukuhlala nabo. Wajabula kakhulu, sagcina sesithandana,” kusho uNomali.

Uthe okwamchaza kakhulu ngo-Port yisikhathi esefuna ukumshada ngoba waqala kunina, wambuza ukuthi enze njani ngoba ufuna ukumshada.

Unina kaNomali, uNksz Thoko Ntombela, uthe wakujabulela kakhulu lokhu ngoba “wenza ukuthembeka” umkhwenyana wakwakhe.

“Indodakazi yami yayingekho ihambe nomkhumbi, wafika ekhaya umkhwenyana wangitshela ukuthi uyayithanda indodakazi yami. Wathi angisho noma yini engiyifunayo uzoyenza ukuze beshade,” kusho uNksz Ntombela.

Ethintwa ngocingo uPort, osenza amalungiselelo ePitoli, uthe ujabule ngendlela emangalisayo ngomshado wabo nesithandwa sakhe.

“Angilwazi kahle usiko lesiZulu kodwa ngikulangazelele kakhulu ukuba uNomali abe ngumkami. Ngiyamthanda kakhulu. uthando lwethu alujwayelekile, lusho lukhulu kimina,” kusho uPort.

Wazibiza ‘ngoSicelo’ ngelanga ahlangana ngalo nogogo kaNomali ngoba efuna kube lula ukuba ugogo abize igama lakhe, angambizi ngelesilungu.

Ebuzwa uNomali ukuthi abantu balubheka kanjani uthando lwabo njengoba bexube izinhlanga, uthe ubashaya ndiva.

“Uthando, uthando nje. Abantu abangafaki unyawo. Uma sekungene umuntu wesithathu yilapho konakala khona izinto. Sinomkhwenyana wami sigxila othandweni lwethu, okunye asikubheki,” kusho uNomali.

Bazosiniswa yisangoma, uNksz Nana Makhaya emshadweni wesintu bese kuba khona omunye umcimbi ebazohlanganiswa kuwo nguMfundisi uRathebe.

Emuva komshado bazohlala eKapa njengoba abasemzini kaNomali sebevele babalungiselele indlu.

Abantu bayaphela beminza emfuleni ibhuloho alibonwa

$
0
0

Inzima impilo emphakathini waKwaThoyane okudingeka uwele umfula nsuku zonke.

|||

MNCEDISI GOGE

INZIMA impilo emphakathini waKwaThoyane, eLovu, ngaphandle kwaseManzimtoti okudingeka uwele umfula nsuku zonke, ukhumule izingubo uma uyogibela noma abafundi beya ezikoleni ngenxa yokuthi sekuphele iminyaka ungenalo ibhuloho lokuwela. Isimo kuthiwa siba nzima kakhulu uma izulu linile ngoba abakwazi ukuwela okwenza abafundi bagcine bengalubhadanga ezikoleni.

Le ndawo engamakhilomitha angu-45 ukusuka eThekwini ingaphansi kukaMasipala waleli dolobha kodwa ingqalasizinda umphakathi wakhona uyizwa ngendaba.

Kusukela ngo-1999 umphakathi uthe sekufe abantu abayisishiyagalolunye beminza bezama ukuwela.

Isolezwe elihambele le ndawo litshelwe ukuthi sekuphele iminyaka eyevile eshumini ufaka izicelo zokwakhelwa ibhuloho kodwa konke kuphelele emoyeni.

Bathi sebethumele inqwaba yezincwadi eMnyangweni wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi benxusa ukwakhelwa ibhuloho kodwa akukho sizo abalutholayo.

Ilungu lomphakathi, uMnuz Skhulu Maphumulo, elashonelwa ngumfowabo ezama ukuwela kulo mfula, lithe sekuyinsakavukela ukuminza kwabantu kulo mfula.

“Wonke umuntu usebenzisa lo mfula. Nomfowethu washona ezama ukubhukudela ngaphesheya, siyahlupheka ngempela ngale ndaba. Akusiyena kuphela owashona ngoba ngokwazi kwami bayisishiyangalolunye,” kusho uMaphumulo.

Bathi kuma yonke into kule ndawo uma isimo sezulu sisibi ngoba umfula usuke ugcwele nokuthatha isikhathi ukuthi udambe.

Ngokusho kwelinye ilungu lomphakathi, uMnuz Kuki Hlongwa, nezalukazi kuyaphoqeleka ukuthi zihlambe kulo mfula uma ziyohola impesheni.

“Ngisho nezalukazi zibhukuda lana uma ziyohola. Nezingane zesikole zithwala kanzima ikakhulukazi lezi ezifunda u-matric ngoba azikwazi ukuyobhala uma ugcwele lo mfula,” kusho uHlongwa.

Uphinde waveza ukuthi nomuntu ohamba ngesihlalo esinamasondo ubhekana nenkinga efanayo ngoba kufanele ehle esihlalweni bese umuntu omphelezelayo aphakamise isihlalo sakhe asiwelisele ngaphasheya bese ebuya ezolanda yena.

Inkosi yesizwe le ndawo engaphansi kwaso KwaThoyana, uNhlosoyesizwe Hlengwa, ithi isizame iminyaka ukutholela abantu bayo ibhuloho. Ithe ingakujabulela kakhulu uma uhulumeni engaphonsa isandla ngoba sekudlule abantu abaningi emhlabeni beminza esizweni sakhe.

‘Ngingajabula kakhulu uma uhulumeni engafaka igxalaba, isicelo sami seminyaka lesi. Kuyahlukumeza ukuthi uma abantu befuna ukuwelela ngaphesheya kumele bakhumule bahlambe. Ngikhuluma nje sekuze kwaminza nengane lapha ithi izama ukuwela,” kusho inkosi Hlengwa.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Kwanele Ncalane, unxuse umphakathi wakule ndawo ukuthi ubekezele ngoba ziningi izicelo abazitholayo njengoMnya-ngo kodwa wathembisa ukuthi bazogcina befinyelele kubo.

“Udaba lwesicelo somphakathi waKwaThoyane siyalwazi futhi kuyasikhathaza kakhulu ukuthi sekuze kwadlula abantu emhlabeni ngenxa yokuntuleka kwengqalasizinda” kusho uNcalane.

Umunyu kobelande isitifiketi sikamfowabo

$
0
0

Uvukwe wumunyu ngesikhathi ezolanda isitifiketi sikamfowabo obesebenza kowezimo eziphuthumayo oshone engakathweswa iziqu zakhe.

|||

LUNGI LANGA

UVUKWE wumunyu ngesikhathi ezolanda isitifiketi sikamfowabo obesebenza kowezimo eziphuthumayo oshone engakathweswa iziqu zakhe.

Kube wumzuzu omnandi ophinde wahambisana nezinhlungu ngesikhathi uMnuz Vusi Shabalala elanda isitifiketi sikamfowabo, uMnuz Muzi Shabalala (37) obengomunye wabasebenzi bezimo eziphuthumayo abathweswe iziqu eMgungundlovu.

UShabalala ulande isitifiketi sikamfowabo obesebenzela eVryheid oshone ngonyaka odlule engozini yemoto ehamba nge-ambulensi ejahe isiguli okwakufanele beyosilanda.

“Ushone ezinyangeni ezintathu emuva kokuthi ebuye ekolishi. Wayehamba nomunye beyolanda isiguli behlelwa yingozi washona,” kusho uShabalala.

Uchaze umfowabo njengomuntu obewuthanda umsebenzi wakhe nobezimisele ngokuya kude kuwo.

“Ubeke akhulume ngokuthi njengoba eseqede lokhu abekufundela usafuna ukuqhubekela phambili afunde aze afinyelele emazingeni aphezulu emsebenzini. Kubuhlungu uma sekuyimi omlandela isitifiketi sakhe ngoba akasekho emhlabeni,” kuchaza uShabalala.

Umfowabo ubebalwa kubafundi abangu-54 abahlonishwe ngeziqu zokusebenza kuma-ambulensi emuva kokuthi befunde isikhathi esingangezinyanga eziyisihlanu.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>