Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Sebenekelwa umphakathi ekhasini elikuFacebook ababa 'abangazondli' izingane

$
0
0

SISHUBILE isimo phakathi konina bezingane nobaba bazo ababasola ngokungondli.

Kamuva nje ezinkundleni zokuxhumana abantu besifazane abanezingane sebephumela obala ngezinkinga ababhekana nazo ngabesilisa abangazondli izingane zabo.

KuFacebook sekuze kwasungulwa ikhasi, eliphiwe isihloko esithi 'Izinja Ezingondli', eselinabalandeli abangaphezulu kuka 45 000. Kuleli khasi abantu besifazane bathumela izithombe neminingwano ngoyise abangazondli izingane zabo.

Leli khasi libe selishicilela isithombe esihambisana nombhalo libuza ukuthi kungani lowo wesilisa engayondli ingane noma izingane zakhe njengoba 'kwakumnandi isenziwa'.

"Nansi enye i...(esho igama elilumelayo) igama layo ngu...(igama lifihliwe ukuze kuvikelwe izingane). Uhlala eKapa, abantwana babili akazange athenge nephenti lomntwana," - kusho umbhalo ofakwe kuleli khasi uhambisana nesithombe sowesilisa obecelwa ukuthi ondle izingane zakhe.

Omunye ubhale wathi, "Mfundo (isibongo sakhe esifihliwe) waseBergville, ucabanga ukondla nini bhuti ngoba ingane yakho le onayo no...(esho igama lomunye wesifazane) uyayondla."

 




Kudutshulweumfundi wafa Ongoye

$
0
0
BAHLALELE ovalweni abafundi base-University of Zululand, Ongoye, emuva kokuthi kudutshulwe uzakwabo wafa ngoMsombuluko ebusuku, okuthiwa ubezobhala iphepha lokugcina ngoLwesibili.

UNksz Nqobile Ngema (25) okuthiwa ubenza izifundo zobuthisha, udutshulwe amahlandla ayisithupha ngaphandle kwesikhungo KwaDlangezwa. Abanye abafundi bakhale ngokungaphephi kuFacebook. Abanye bebefaka izithombe zomfundi odutshuliwe bebalisa nangokungaphephi kwabo.

Esitatimendeni esifakwe kuFacebook esibhalwe inhlangano yabafundi iNational Students’ Movement (Nasmo), kuvela ukuthi abafundi bakhathazekile futhi bayesaba. INasmo idlulise amazwi enduduzo emndenini nakwabanye abafundi abebemazi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-Colonel Thulani Zwane, uthe umfundi udutshulwe ngezithuba zabo 7 ebusuku.

Isidumbu sakhe sitholwe lapho ebehlala khona eNkonjane Reserve.

“Amaphoyisa aseMthunzini aphenya icala lokubulala kodwa akekho oseboshiwe.”

Okhulumela isikhungo, uMnuz Gcina Nhleko, uthe kusekusha ukuthi banganika imininingwane ephelele ngomfundi ngoba kusaphenywa kodwa bathemba ukuthi kuzocaca maduze.

Seziziningi izigameko zokubulawa kwabafundi Ongoye. Ngonyaka odlule kwadutshulwa uMnuz Frank Chirwa owayenza iBachelor of Commerce. NgoJulayi nonyaka kwatholakala isidumbu sikaNksz Lelethu Ngobese (21) emjondolo emuva kokuba enyamalele.

Isililo kugwetshwa owanquma ikhanda lomnakwabo

$
0
0
UKHALA ngokungatholwa kwekhanda lelungu lawo umndeni wowesifazane waseMnywaneni, eDonnybrook, ngoLwesithathu okugwetshwe umnakwabo iminyaka engu-30 ozivumele icala lokumshumpula ikhanda ephila.

Izolo, umndeni kaNksz Nomthandazo “Maphili” (20) Dlamini uhluleke ukuzibamba wakhala ngesikhathi kugwetshwa umbulali uJwayelile “Mtsako” Khuboni (39)

UNKSZ Nomthandazo Dlamini waseDonnybrook, isidumbu sakhe esitholwe sinqunywe izingalo nekhanda ngeSonto


Uyise kamufi uMnuz Ndoda Dlamini uthe okubenza bakhale wubuncane besigwebo nokuthi abangcwabile ngoba bafuna izicubu zendodakazi yakhe.

“Kubuhlungu futhi kunzima ukwamukela lesi sigwebo ngoba besifuna udilikajele, besifuna akhulume neqiniso, achaze ukuthi walibekaphi ikhanda nengalo yendodakazi yethu. Asingcwabile ngoba izicubu zakhe aziphelele. Ngeke sikwazi ukungcwaba engakapheleli. Sifuna izicubu zakhe, “kusho uDlamini.

Lo mndeni uthe isimo simuncu njengoba kuvela ukuthi umakhelwane uyathinteka ecaleni engakaboshwa futhi umbulali wathi nguye owazi lezo zicubu.

UNkk Phumzile Memela uthe kuyabadida impela bengumndeni ukuthi ugwetshwe kanjani umuntu ekubeni iqiniso engalikhulumanga lonke.

“Ngeke siphele isilonda sokubulawa singazi ukuthi ikhanda likuphi. Bekumele aveze konke uma elivuma ngempela icala. Sizoxola kanjani kunjena?” kubuza uNkk Memela.

Lo mndeni ubukhihla isililo kucace ukuthi kuvuka iminjunju.

UNksz Happy Dlamini ukhale ngamaphoyisa.

“Sicela amaphoyisa afune * ... (esho umakhelwane) aze amthole ngoba kuyacaca ukuthi unolwazi ngezicubu. Umakhelwane, ongasekho endaweni njengamanje, ubalekile,” kusho uNksz Dlamini naye oyisihlobo.

Unina kamufi uNkk Buzani Dlamini uze wanikwa amanzi elokhu ekhala. Kuthiwa selokhu kwenzeka lesi sigameko ngoSepthemba 9 nonyaka, akakaze alale, ukhala ngendodakazi yakhe.

Umufi ubenengane yentombazane eneminyaka eyisithupha. Ubesebenza efemini esendaweni, ondla umndeni wakhe.

Umndeni uthe naleli soka abulawelwe lona abalazi.

Indodakazi kamufi kuthiwa isiyesaba ukuya esikoleni ngoba ezinye izingane ziyayihleka ngokuthi unina watholwa engenakhanda.

Sizoqeda ngeyokutakulwa kwezinkampani zikahulumeni: Gigaba

$
0
0
UNGQONGQOSHE wezeziMali, uMnuz Malusi Gigaba useveze ukuthi uhulumeni uzimisele ngokuletha ushintsho kuzinkampani zikahulumeni esezidume ngokuphathwa budedengu nokufuna ukutakulwa ngaso sonke isikhathi. 

Ekhuluma ngesikhathi ethula isabelo mali saphakathi nonyaka ngoLwesithathu uGigaba uthe izinkampani zahulumeni okubalwa kuzo uEskom, Transnet noSouth African Airways (SAA) yizinkampani ezenza imali enkulu – sebeqalile ukuzisebenzisa ngobuchule lezi zinkampani.  

Uthe banethemba lokuthi bazothola u-R3.9 billion ngokudayisa amasheya akwaTelkom ukuthola imali edingekayo ukutakula iSouth African Airways (SAA). Kulo nyaka u-SAA kulindeleke ukuthi uthole u-4.8 billion.

Uthe sebeqalile ukuletha ushintsho kwezinye zalezi zinkampani, wenza isibonelo  ngenkampani yakwaTransnet, athe sebeqinisikise ukuthi baqasha izinkampani zezimali zabantu abamnyama ukuze kube yizo ezibheka amabhuku ale nkampani. 

UGigaba uthe lokhu kusiza ekutheni lezi zinkampani zikwazi ukuthuthuka kwezezimali nokuthi zingakhishwa inyumbazana yizinkampani ezinkulu ngoba zithi azikabi nesipiliyoni sokusebenza ezimeni ezibucayi zisiza izinkampani ezinkulu.

“Izingqinamba ezikhona kwezinye izinkampani eziphethwe nguhulumeni zize zimboze okuhle okwenzeka kwezinye njenge DBSA okuyisikhungo esenza kahle kakhulu. Enye inkampani, i-Airports Company of South Africa Limited (ACSA) esihlinzeke izinhlelo ezisezingeni lamazwe omhlaba,” kusho uGigaba. 

Uthe nebhenge lomhlaba, iLand Bank nalo lenza kahle ekwesekeni abalimi abasafufusa. 

Uthe uhulumeni ungakwazi ukuziphatha ngendlela efanele izinkampani ezingaphansi kwawo futhi uzoqinisa isandla ukubuyisela lezo ezingenzi kahle esimeni esifanele.

Ukhwele wadilika kuzikhulu zalezi zinkampani ethi zihola imali ejwayele ukukhokhelwa izikhulu kwezinye izinkampani. Uthe kufanele umphakathi nohulumeni balindele okukhulu kubona. 

“Sikhathele ukungena ezinkingeni ngenxa yabantu abaqashwelwe ukuphatha izinkampani zikahulumeni. Lokhu kufanele kuphele. Lento yokufuna ukutakulwa ngaso sonke isikhathi nokumosha okwenziwa yizinkampani zahulumeni kufanele iqedwe,” kusho uGigaba. 

Uthe bazimisele ngokuqinisa uhlelo olulandelwayo uma kuqashwa izikhulu zalezi zinkampani – ikakhulu ukuqinisekisa ukuthi bakuqeqeshelwe ukwenza lo msebenzi. 

Kulindwe inkomba ngemfundo yamahhala

$
0
0
UNGQONGQOSHE wezimali uMnuz Malusi Gigaba uthe balinde umkhombandlela ngendaba yemfundo yamahhala ezikhungweni zemfundo ephakeme kuMengameli Jacob Zuma osethole umbiko wekhomishini ebiphenya ngokuxhaswa kwale mfundo.

UGigaba uthe ikhomishini yenze izincomo zokuthi ingaxhaswa yini le mfundo ibe mahhala njengoba abafundi beyibeke ezithebeni zezwe ukuthi ibhungwe eyale mfundo.

“Uyakhula umkhakha wemfundo ephakeme njengoba kulo nyaka unguR77 bilion, ngo-2020/2021 kuzonyuka ukuxhaswa kwalo mkhakha kube nguR97 billion. Lokhu kufaka ukuxhasa njalo ngonyaka abafundi abangaphezulu kuka-450 000 emanyuvesi nasemakolishi,” kusho uGigaba.

Ukusho lokhu izolo ethula isabelo sakhe sokuqala samaphakathi nonyaka.

Uthe okuningi kuzogqanyiswa ngumengameli uma esethula inkulumo ebhekiswe esizweni ngonyaka ozayo nakwisabelo sonyaka ozayo ngoFebhuwari.

Izolo, kuvele ukuthi ukuxhasa abafundi ngemali egcwele kungashodisa imali yokuxhasa imfundo ngoR61 billion eminyakeni emithathu ezayo.

Kanjalo nokuxhasa abafundi basemakolishi kungabiza uR23.5 billion eminyakeni emithathu ezayo. UGigaba umemezele ukuthi eminyakeni emithathu ezayo kuzotshalwa ngaphezulu kukaR1.1 billion ukuphucula ingqalasizinda ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Le mali izokwakha izindawo zokuhlala abafundi okuzokwenza abafundi abangu-300 000 bathole imibhede ngo-2026. Usho lokhu nje abafundi basenyuvesi yaseKapa bamashele ePhalamende izolo befuna kudedelwe umbiko wemfundo yamahhala njengoba ikhomishini yeJaji Jonathan Heher isimnikile uZuma umbiko.

I-DA ibhalele ikomiti lemfundo ephakeme ifuna kuphoqwe uZuma ukuthi adedele umbiko njengoba sekuphele izinsuku ezingaphezulu kuka-50 awuthola umbiko.

UGigaba umemezele ukuthi imfundo yamazinga aphansi izokwabelwa uR44 billion ukwakha izikole, ukulungiswa kwezikhona, ukwakha ama-laboratories namathoyilethi.

Khonamanjalo, kubikwa ukuthi amandla eRandi ehlile ngemuva kokuthi uGigaba ethule isabelomali. Engakasethuli belinguR13.74 eDoleni lase-USA. Emuva kwenkulumo laba nguR13.93.

Sebenekelwa umphakathi ekhasini elikuFacebook obaba 'abangazondli' izingane

$
0
0

SISHUBILE isimo phakathi konina bezingane nobaba bazo ababasola ngokungondli.

Kamuva nje ezinkundleni zokuxhumana abantu besifazane abanezingane sebephumela obala ngezinkinga ababhekana nazo ngabesilisa abangazondli izingane zabo.

KuFacebook sekuze kwasungulwa ikhasi, eliphiwe isihloko esithi 'Izinja Ezingondli', eselinabalandeli abangaphezulu kuka 45 000. Kuleli khasi abantu besifazane bathumela izithombe neminingwano ngoyise abangazondli izingane zabo.

Leli khasi libe selishicilela isithombe esihambisana nombhalo libuza ukuthi kungani lowo wesilisa engayondli ingane noma izingane zakhe njengoba 'kwakumnandi isenziwa'.

"Nansi enye i...(esho igama elilumelayo) igama layo ngu...(igama lifihliwe ukuze kuvikelwe izingane). Uhlala eKapa, abantwana babili akazange athenge nephenti lomntwana," - kusho umbhalo ofakwe kuleli khasi uhambisana nesithombe sowesilisa obecelwa ukuthi ondle izingane zakhe.

Omunye ubhale wathi, "Mfundo (isibongo sakhe esifihliwe) waseBergville, ucabanga ukondla nini bhuti ngoba ingane yakho le onayo no...(esho igama lomunye wesifazane) uyayondla."

 



Umengameli Zuma ushaye ungqimphothe kweloMvikeli Womphakathi

$
0
0
UMENGAMELI Jacob Zuma usekwenze kwangacaca ukuthi uMvikeli woMphakathi , uAdv Busi Mkhwebane usazolithola yini ithuba lokusingatha uphenyo ngokulawulwa kombuso yidlanzana.

NgoLwesithathu uZuma wenze okungalindelekile ngesikhathi eshaya ungqimphothe ngesithembiso ayesenze kuMkhwebane sokuthi uzomnika isikhathi esengeziwe nemali yokuthi aphenye ngezinsolo ngokulawulwa kombuso yidlanzana. 

Manje usefuna ukuthi uthathwe njengongekho emthethweni umbiko ophelele ngokulawulwa kombuso yidlanzana. 

UZuma waya enkantolo eNkulu ePitoli efuna kuchithwe iziphakamiso ezenziwa ngowayenguMvikeli woMphakathi u-Adv Thuli Madonsela owawuphakamise ukuthi uZuma akasungule ikhomishini ezophenya ngalokhu. 

Umbiko kaMadonsela waphinde waphakamisa ukuthi inhloko yamajaji uJustice Mogoeng Mogoeng kube nguye okhetha ijaji elizohola leyo khomishini. 
Kodwa uZuma wathi uMadonsela akanawo amandla okumphoqa ukuthi asungule ikhomishini. 

Ngenxa yezinkulumo zikaZuma esicelweni sakhe, uMkhwebane wakuphikisa lokhu wathi ufuna uZuma abuyisele kuyena izinto ezidinga ukuphenywa njengalombiko. Ephendula, uZuma wavuma wathi kungenzeka acele uMnyango wezeziMali ukuthi ufake imali uxhase uphenyo olufana nalolu. 

Wakusho lokhu emuva kokuthi uMadonsela eveze ukuthi akakwazi ukufinyelela emaphethelweni nophenyo lwakhe ngoba ihhovisi lakhe lalidinga u-R30 million ukuphothula uphenyo kodwa lalithole u-R1.5 million kuphela. 

UZuma wayekwenze kwazwakala engathi ihhovisi lakhe lalizimisele ngokusiza kodwa ngoLwesithathu ukushintshile lokhu. 
Ummeli wakhe uAdv Ishmael Semenya utshele iNkantolo eNkulu ePitoli ukuthi ngeke asaqhubeka nalokhu.

Lokhu kushaqise amajaji nabameli ba-Adv Mkhwebane, abamaqembu aphikisayo, i-EFF, DA, Cope, i-UDM, uNkk Vytjie Mentor neCasac ngoba kwenze kwangabe kusacaca ukuthi kuzokwenzekalani uma kuya phambili. 

Inkantolo isigodlile isinqumo kodwa kulindeleke ukuthi ikhiphe isinqumo ngokushintsha kukaZuma umqondo ngesithembiso asenza ku-Adv Mkhwebane.

Umengameli akumele asungule iKhomishini

$
0
0


UNGOTI ezindabeni ezithinta umthethosisekelo, uSolwazi Pierre de Vos uthi uMengameli Jacob Zuma akufanele ukuthi kube nguyena osungula iKhomishini ezophenya ngezinsolo zokuhaqwa kwamandla ombuso ngoba kwayena ziyamthintaISI GUMEDE.
Engxoxweni neSolezwe izolo, uDe Vos uthe inkantolo okumele inqume ukuthi ngubani ozosungula le khomishini njengoba noZuma ethinteka.
"Ngokomthethosisekelo uZuma nguyena kuphela onelungelo lokusungula iKhomishini kodwa uma engekho engaphandle kwezwe iPhini lakhe yilona elinamandla," kusho uDe Vos.
Uthe akekho umuntu onamandla okumyalela uZuma ukuthi kumele enzeni.
"UMvikeli woMphakathi akanalo ilungelo lokuyalela umengameli ukuthi kumele enzeni ngodaba lokuhaqwa kwamandla ombuso," kusho uDe Vos.
UDe Vos uthe akaboni le khomishini izosungulwa maduze.
UZuma ulaxaze ngomzuzu wokugcina isiphakamiso sakhe sokuthi ubuyiselwe emuva umbiko oqukethe izinsolo mayelana nokuhaqwa kwamandla ombuso walowo owayenguMvikeli woMphakathi u-Advocate Thuli Madonsela ukuze kuqhutshekwe nophenyo. 
Kodwa uZuma usamile ekutheni izincomo zika-Adv Madonsela kumele zibuyekezwe futhi zibekwe eceleni. 
Inkantolo izwe ibufakazi obuthi uMvikeli woMphakathi akanawo amandla okuyalela uZuma ukuthi kumele enzeni.
Ummeli we-EFF u-Adv Tembeka Ngcukaitobi utshele inkantolo ukuthi iyamkhathaza indaba yokuthi kube nguZuma osungula iKhomishini ezophenya ngokuhaqwa kwamandla ombuso. 
Uphenyo luka-Adv Madossela mayelana nokuhaqwa kwamandla ombuso luveza ukuthi umndeni wakwaGupta unesandla ekulawulweni kwezwe njengoba kuvela ukuthi uba nezwi eqokweni kongqongqoshe kwikhabhinethi kamengameli.  

Kumele baphendule ongqongqoshe

$
0
0

INHLANZI izoshelwa amanzi kongqongqoshe ababalekela ukuphendula imibuzo ephalamende. 
Lokhu kulandela isimemezelo sasotswebhu we-ANC uMnuz Jackson Mthembu lapho amemezele ukuthi iPhini likasomlomo uMnuz Lechesa Tsenoli useqokwe njengomholi wekomiti elizobheka izindlela zokubhekana nongqongqoshe ababalekela ukuphendula imibuzo ephalamende. 
UMthembu wenze lesi simemezelo ephalamende izolo ngoba kuvele ukuthi abanye ongqonqoshe ngeke baze bafike ukuzophendula imibuzo. 
Omunye wabo nguNgqongqoshe wezaMandla uMnuz David Mahlobo ucele ukuthi aphendule imibuzo ebhekiswe kuye kwiNational Council of Provinces ngoLwesibili oluzayo.   
UNgqongqoshe wezokuvakasha uNksz Toko Xasa kwakufanele ayiphendule ngesonto eledlule eyakhe imibuzo kodwa ucele ukuhlelwa ukuthi ayiphendule izolo ngoba ethe ebefuna ukuhambela umcimbo eRobben Island. 
Lokhu kususe umsindo kuzinhlangano eziphikisayo ezikhale ngokuthi ongqongqoshe babalekela ukuphendula imibuzo, babasola ngokubasebenzisa kanzima. 
Umholi we-DA uMnuz John Steenhuisen uthe abagculisekile ngokuthi ongqongqoshe abathathu ngeke babekhona ukuphendula imibuzo. Uthe uhlelo lokuphendulwa kwemibuzo lwenziwa ekuqaleni konyaka. 
“Umthethosisekelo ukubeka kucace ukuthi ongqongqoshe kufanele baphendule ePhalamende. Akufanele baphendule kuzigungu zangaphandle kwakuleli: kufanele lokhu (ukuphendula ePhalamende) kube yinto yokuqala kubona,” kusho uSteenhuisen.
UMthembu uthe noma kuzwakala okushiwo ngabamaqembu aphikisayo kodwa ongqongqoshe basuke beyokwenza umsebenzi kahulumeni uma bengakwazi ukuya ephalamende bezophendula imibuzo.Uthe basuke bengavakashile. 
Uthe kuzokwenziwa izinhlelo zokulandelela ngokungafiki kongqongqoshe ukuzophendula. 

Useguge iphakethe elapha ubuntu bakhe

$
0
0
UTHWELE kanzima owesilisa (42) waKwaSwayimane othe usebikelwa ngisho ecabanga ukuya ocansini ngenxa yobuhlungu obungapheli ebuntwini bakhe.

Owesilisa ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe uthe inkinga yakhe iqale ngo-2007 ngesikhathi eqalwa ubuhlungu obabungabekezeleleki ebuntwini bakhe.

“Kwakuvele kubabe kube sengathi ngifakwe upelepele. Ngazitshela ukuthi ngithole isifo socansi ngase ngiya emtholampilo. Bazama ukungelaphela izifo zocansi banginika ama-antibiotics. Ngawaphuza isikhathi engangibekelwe sona kodwa ubuhlungu bangaphela. Bese ngilokhu ngibuyela njalo emtholampilo baze bangidlulisela esibhedlela ngoba bethi sebehlulekile,” kusho owesilisa.

Uthe uqale ukugqigqa esibhedlela sase-Edendale ngoNovemba 2007.

Ngokusho kwakhe ngesikhathi efika kulesi sibhedlela bamtshela ukuthi kungenzeka ukuthi ungenwa wumdlavuza wendlala yabesilisa.

Uthe ulashwe esibhedlela kwaze kwaba wuMashi 2008 waze waqoka ukuyeka ngoba engaboni mehluko.

Ube esehamba abelaphi bendabuko ngoba esebona ukuthi kungenzeka ukuthi yinto edinga ukwelashwa ngamakhambi esintu.

Uthe akayekanga ngoba esola isibhedlela kodwa wabona ukuthi kusho ukuthi naso akusekho esingamsiza ngakho.

Uthe uphinde waya emtholampilo ngo-2015, bamdlulisela esibhedlela saseNorthdale okuyilapho bamhlola khona bathi ababoni lutho, bamdlulisela e-Edendale nakhona baphinde bamhlola, bathi ababoni nkinga esithweni sakhe sangasese.

Uthe uphelelwa ngisho yimali ayihola emsebenzini lapho esebenza khona njengonogada ngoba ezama ukwelapha ubuhlungu. Uveze ukuthi kunokuthi ixazululeke inkinga yobuhlungu seyidlulele.

“Ubuhlungu sebungenele ngisho ezindlaleni ngoba sekubuhlungu sonke isitho sami sangasese. Okuxakayo wukuthi ayishintshile indlela esibukeka ngayo angivuvukali ndawo futhi akuphumi ketshezi. Engizwana naye akukho isifo socansi akhala ngokuthi usenaso nokwenza ngidideke kakhulu. Kunalokho kuba buhlungu nje. Kuba buhlungu kakhulu uma ngikade ngiye ocansini osekwenza ngingabe ngisalulangazelela. Kuthi noma ngifuna ukuya ocansini lowomuzwa uvele udungwe wumcabango wobuhlungu.

“Ngiyafisa ukuthola umuntu ongangisiza ngoba sengisebenzise imali eningi ngizama ukuthola usizo,” kusho owesilisa.

Baziqhatha nezinkantolo abanekela umphakathi oyise abangondli: ummeli

$
0
0
SEBEZWAKALISA ilaka lwabo ekhasini elisenkundleni yokuxhumana iFacebook onina bezingane abakhala ngoyise bazo abathi kabazondli.

Leli khasi elinesihloko esithi ‘Izinja Ezingondli’, selinabalandeli abangaphezulu kuka-65 000.

Kulona abantu besifazane bathumela izithombe nemininingwane yabesilisa abathi bangoyise bezingane zabo abangazondli.

Phakathi kweminingwane efakwa kuleli khasi kuba khona igama lokuthiwa akondli, ukuthi uhlalaphi nokuthi ingane ineminyaka emingaki manje.

Abanye bafaka nezinombolo zocingo zomuntu okuthiwa akondli.

Omunye obhale kuleli khasi eneka uyise wengane yakhe athe akayondli uthe:

“Nansi enye inja, igama layo ngu...(igama lifihliwe ukuze kuvikelwe osolwayo nezingane). Uhlala eKapa, unabantwana ababili, akazange athenge nephenti lomntwana,” kusho umbhalo ofakwe kuleli khasi uhambisana nesithombe sowesilisa obecelwa ukuthi ondle izingane zakhe.

Omunye ubhale wathi: “Mfundo (isibongo sakhe esifihliwe) waseBergville, ucabanga ukondla nini bhuti ngoba ingane yakho le onayo no...(esho igama lomunye wesifazane) uyayondla?”

Omunye oneke uyise wengane yakhe kuleli khathi uthe: UNtokozo (egagula wonke amagama akhe) waseNgwelezane ongondli. Akagcini ngisho nokungondli wayigcina ingane inonyaka ukuyibona lapho isizohlanganisa * 3yrs. #Yondla demedi.”

Leli khasi bese linemixhantela yamanye amakhasi anesihloko esifanayo kodwa abhalwe amagama amadolobha eceleni.

Nabesilisa bagcine sebevula elabo ebelinesihloko esithi: “Reason why singondli,” okuhunyushwa ngokuthi “Izizathu zokuthi kungani singodli.”

Ephawula ngalolu daba ummeli uNksz Nolwazi Malimela uthe abantu abasungule leli khasi kuzomele balivale ngoba kuphulwa umthetho kulo.

“Izinkundla zokuxhumana aziyona inkundla yokuxazulula izinkinga zasekhaya noma izinkinga ezithinta umthetho. Kunezinkantolo zamacala athinta imali yesondlo sezingane kuleli, zadalelwa khona ukuxazulula izindaba ezifana nalezi,” kuchaza uNksz Malimela.

Uthe isenzo sokunekela umphakathi izithombe neminingwane yoyise bezingane okuthiwa abondli, sidicelala phansi isithunzi sabo siphinde sifake nempilo yezingane engcupheni.

“Baziqhatha nezinkantolo abantu abenza lokhu ngoba ngaso sonke isikhathi inkantolo ifuna kuxazululwe udaba lwemali yesondlo ngendlela evikela ingane.

Kulokhu oyise bangavula amacala okudicilelwa phansi kwesithunzi sabo kanti nonina wengane angabhekana nengalo yomthetho ngokungayikhathaleli impilo yangasese yengane,” usho kanje.

UMalimela uveze nokuthi kunomthetho omusha kuleli obophezela umdidiyeli wekhasi elikuFacebook nezinto ezishicilelwa kulo, okuchaza ukuthi abaphathi bekhasi nabo bangabhekana nengalo yomthetho.

“Kumele balivale leli khasi,” kuphetha yena.

'Yinto engathi shu ukugxeka umshado wobulili obufanayo ngokucaphuna amavesi eBhayibhelini'

$
0
0

NAKUBA ukushaywa komthetho wokuganana kwabantu bobulili obufanayo kusathathwa njengento eyichilo, ikakhulu ngabantu abakholwayo kodwa inhlanganisela yabefundisi namabandla, i-End Time Issue Ministries, ithe abagxeka lokhu, akuhlukene nokuthi abakushoyo bakweseke ngeBhayibheli nangamabandla.

Laba befundisi babhale kwisizindalwazi sabo muva nje bethi yinto engathi shu ukugxeka umshado wobulili obufanayo ngokucaphuna amavesi eBhayibhelini nokusebenzisa ibandla ngoba uNkulunkulu akazange asho ukuthi imishado kuzothiwa iyimishado ngoba nakhu igunyazwe yisonto.

“UNkulunkulu wagunyaza ukuthi uma owesilisa esethathe ubuntombi bowesifazane, lokho kusho ukuthi sebeyohlala ndawonye impilo yabo yonke,” kuchaza laba befundisi kulo mbhalo.

Kulo mbhalo babuza umbuzo othi ukuphi umehluko phakathi kowesilisa olala nowesifazane, kanjalo nowesilisa olala nomunye wesilisa, ngoba bonke basuke bephinga.

“IBhayibheli lithi ungaphingi. Okwenziwa owesilisa nowesifazane nokwenziwa abesilisa ababili ukuthi baye ocansini, yinto efanayo ngoba umphefumulo munye, futhi basuke benze isono esifanayo”.

UPastor Tibo Makhanya webandla iNewborn Ministries, uthe okungaqashelwa yilesi sindalwazi ngesikushoyo, wukuthi uNkulunkulu wamisa ibandla ukuthi kube yilo elimmelayo ezintweni ezifana nemishado, yingakho lingenelela ezindabeni zemishado.

“Ibandla lingumzimba kaNkulunkulu. Indaba yokuthi lishadise abantu ingena ngaleyo ndlela,” kugcizelela uMakhanya.

Uthe okushiwo yilaba befundisi kufana nokuthi umuntu athi uzolalela inkonzo emsakazweni ekubeni kube kumfanele ukuthi abe khona esontweni ukuze abekwe izandla.

NgokukaMakhanya, into esiyandile kulesi sikhathi samanje, sekukhona osomathuba abashumayela ivangeli lokugcwalisa amabandla, hhayi elentando kaNkulunkulu.

UFata Smangaliso Mngadi webandla lamaRoma aKhatholika, uthe iqiniso lisekutheni abantu izinto bazibona ngezindlela ezingafani.

UFata Mngadi uthe ngokweBhayibheli kuGenesis 19, kuxwayiswa ngokwehliswa isithunzi komuntu wesilisa okufaniswa nokulalana kwabantu besilisa.

Wenze isibonelo ngokuthi ukwehliswa komuntu wesilisa isithunzi okuxwayiswa ngakho kuleli vesi, kufana nokuthi alalwe abanye abesilisa uma efika ejele okuyizinto ezenzekayo.

“Lokhu kufana nokuthi kube khona abantu abathi abayidli inyama yengulube ngoba bethi ingcolile,” kuchaza uFata Mngadi.

Uthe iqiniso wukuthi inyama yengulube ibanga izikelemu kalula emzimbeni womuntu, hhayi ukuthi ingcole ngale ndlela amakholwa ayitolika ngayo.

UMfundisi Sithembiso Zondo webandla iZero to Hero, uthe okubalulekile ngesibopho somshado ngokusebenzisa isonto, wukuthi owesilisa nowesifazane babusiswe ukuze bazalane bande. “Into eyenza ukuthi esikushoyo sikweseke ngeBhayibeli wukuthi kulona akukho lapho okuchaza khona ukuthi kukhona owesilisa owake washada khona nomunye wesilisa. Alikho ivesi elinendoda eshada nenye indoda."

Uthe ukube kukhona lapho okulotshwe khona ukuthi * -Abrahama noma uJoshua washada nenye indoda, ngabe kulula ukwamukela ukuthi obanobulili obufanayo ababusiswe ngendlela efanayo nowesilisa nowesifazane abangena emshadweni. “Okwabo singakubiza nje ngobudlelwano, hhayi ngomshado ngoba sisuke singekho isibusiso sokuthi bazozalana bande."

UZondo uthe akukona ukuthi yingoba bona njengabenkolo yebuKhrestu bewugxeka umshado yobulili obufanayo.

Umfundi ka-matric utholakale elenga

$
0
0
UKHUNGATHEKILE umndeni womfundi ka-matric otholakale ezikhungile ekade egcinwe eyotadisha nabangani bakhe njengoba kubhalwa izivivinyo.

ULwazi Mkhize (17), waKwaDuze, eDanny Dalton ngasoLundi, utholwe elenga ngemuva kokuhamba ekhaya eyotadisha nabangani bakhe ebusuku.

Ngokusho komunye wothisha baseMatshitsholo High, lapho uLwazi abefunda khona, uthe isidumbu sikaLwazi satholwa ngugogo wakhe sesilenga ngaphandle kwendlu abehlala kuyo.

“Wonke umuntu ukhungathekile ngoba lo mfundi akukho ncwadi ayishiyile, achaza kuyo ukuthi uzibulaleleni futhi asikho esingakusola njengembangela ngoba bekuwumfundi oziphethe kahle nobezimisele ngomsebenzi wakhe. Besazi nje ukuthi ubezobalwa nabanye abafundi abazophumelela ngamalengiso ekupheleni kwalo nyaka,” kusho lo thisha.

ULWAZI Mkhize otholakale elenga endlini abehlala kuyo

ULwazi ushonele koninalume kwaManyosi. Omunye oyisihlobo sikaLwazi uthe nabo abakholwa ukuthi lo mfundi uzibulele ngoba ubengakaze abike lutho okumphethe kabi.

“Ebesikwazi ngaye ukuthi ubewuthanda umsebenzi wakhe wesikole futhi efisa ukuba yinto enkulu emhlabeni,” kuchaza isihlobo. Sithe uLwazi uzofihlwa khona namhlanje emathuneni akoninalume.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Thulani Zwane isiqinisekisile lesi sigameko futhi wathi lukhona uphenyo oluqhubekayo olwenziwa ngamaphoyisa aseMpungamhlophe. “Kusolwa ukuthi ngo-22 Okthoba 2017 ngezithuba zabo 6 ekuseni eDuze, kwatholakala isidumbu somfana silenga ngaphandle kuveranda wendlu yakhe. Kusaphenywa imbangela ngalesi sigameko."

Indoda edivosa umkayo ifake isimangalo sesondlo

$
0
0
OWESILISA waseNanda odivoswa wumkakhe abemsola ngokuhlale egqolozele uWhatsApp, usefake isimangalo enkantolo sokuthi umkakhe amondle njengoba engasebenzi.

Lokhu kulandela ukuhamba kukankosikazi walo wesilisa walibhekisa kubo eMzinyathi ngenxa yokuqonga kokungazwani kwabo emshadweni.

Icala kulindeleke ukuthi lingene enkantolo yesondlo yaseVerulam, ngoNovemba 8.

Ukungezwani phakathi kwalaba bashadikazi obesekuphele iminyaka eyisishiyagalolunye beshadile, kube ngemva kokuthi owesilisa ethe umkhakhe ubemhlupha ngokujola kuWhatsApp.

Ngendlela abemhlupha ngayo, uthe wahlula esemncenga umkakhe ukuthi akahlukane nawo uWhatsApp.

Kunalokho, uthi umkakhe wamsabisa ngokuthi uzomgwaza uma eqhubeka nokumbelesela ngokuthi ahlukane noWhatsApp, ebeka isizathu sokuthi usebenzisa wona ukuxhumana namakhasimende akhe njengoba edayisa umshwalense.

Ugcine ngokuphonsa ithawula emshadweni umkakhe, wathi ngeke aze ahlukane noWhatsApp, wathi okungenani umyeni wakhe akamdivose.

Umyeni walona wesifazane, utshele leli phephandaba kuleli sonto ukuthi bazobe besenkantolo yesondlo lapho eyofaka khona isicelo sokuthi inkantolo iphoqe umkakhe ukuthi amondle njengoba esecele idivosi.

“Ngizofuna ukuthi anginikeze * -R3000 njalo ngenyanga, bese kuba * -R2000 wokondla ingane angishiya nayo, no-R2500 wegilosa,’’ kusho umyeni walona wesifazane.

Isiyonke imali azofuna ukuba umkakhe amkhokhele yona njalo ngenyanga, * -R7 500.

Uthe ayikho into angayenza naye ngoba akasebenzi, futhi ukhulisa enye yezingane umkakhe amshiye nayo.

Leli phephandaba libike ngodaba lwalezi zithandani ngeledlule.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwalo wesifazane igcine iphunzile njengoba engalubambi ucingo lwakhe.

* Isicelo sosondlo esifakwa yilo wesilisa yinto engajwayelekile kodwa esemthethweni. IDivorce Act maqondana neSpousal Maintenance ayibaluli ubulili kepha yeseka ukuthi lowo oyimbangela yokuthi kudivoswe uma kunguye ongenisa imali noma owondlayo ekhaya aqhubeke nokondla. USection 7 weDivorce Act, 70 ka-1979 wehlukene kabili * -7 (1) ukondliwa okuvunyelwene ngakho yibo bobabili abadivosayo no-7 (2) okuba umyalelo okhishwa inkantolo uma ofuna isondlo eseveze isidingo nenkantolo yamvuna.

Kugwazane abafundi baka-matric kubangwa intombi eMthonjaneni

$
0
0
KULIMALE kanzima omunye wabafundi abenza uGrade 12 esikoleni Ihawulethu High eMthonjaneni, eMelmoth, ngenkathi egwazwa omunye kubangwa intombi.

Lesi sigameko senzeke ngoLwesine ekuseni abafundi belungiselela ukubhala izivivinyo zabo zokuphela konyaka.

UMnuz Thembinkosi Buthelezi ongusihlalo wesigungu esilawula lesi sikole, uthe umfundi ugwazwe eqolo ngomunye waphuma igazi ngamakhala kubangwa intombi. “Umfundi ogwaziwe uphuthunyiswe esibhedlela emva kokubizwa kwe ambulensi,” kusho uButhelezi.

Ogwaze omunye yena uthe usamisiwe esikoleni. Ngenxa yokushuba kwesimo, uthe kuvunyelwene ngokuthi kumiswe ukufunda kuze kube baba nomhlangano nabazali bezingane ngoLwesibili.

Uthe akuqali ukuthi abafundi bakulesi sikole balwe. Ngo-2014, uthe kwasuka enye ingxabano yabafundi basesigodini sakwaHlaza naseMfule kubangwa zona izintombi. “Isifiso sethu ukuthi kutholakale isixazululo ngoba kuyasikhathaza okwenziwa yilaba bafundi,” kugcizelela uButhelezi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe bebengakezwa ngalesi sigameko, wathembisa ukuthi basazophenya.


Babebhema insangu abezicubu - ubufakazi

$
0
0
BABEHLANGANA babheme insangu abelaphi bendabuko abasolwa ngokudla izicubu zabantu.

Lokhu kuvele enkantolo yeMantshi eMtshezi ngoLwesihlanu.

Omunye walaba basolwa uthe bonke kwakuthi uma behlangene, bazitike ngensangu kwazise bonke bayayibhema.

UMnuz Nino Mbatha (ongumsolwa wokuqala), uMnuz Sthembiso Sthole (umsolwa wesibili), uMnuz Lungisani Magubane (umsolwa wesine, noMnuz Khayelihle Lamula (umsolwa wesihlanu), bebefake isicelo sebheyili ngoLwesihlanu kule nkantolo.

Basolwa ngokudlwengula, ukubulala maqede bacwiye izicubu. Basolwa nangakho ukudla izicubu zabantu.

Laba basolwa baboshwa ngo-Agasti 18 ngemuva kokuba uMbatha eziyise yena esiteshini samaphoyisa endawo ephethe izicubu zomuntu futhi wazivumela ukuthi usekhathele ukudlana nenyama yomuntu.

Ngesikhathi uMbuso ubeka ezazo izizathu ngokuthi laba basolwa banganikwa ibheyili, umshushisi uthe kucacile ukuthi konke ababekwenza ndawonye kwakuwumhobholo wokufuna ukuceba ngokushesha, bebulala abantu.

Umshushisi uMnuz Israel Zuma uthe laba akumele bayithole ibheyili, kumele balinde esitokisini kuze kuqulwe amacala abo.

Inkantolo inqume ukuba isicelo sabo sebheyili, siphinde silalelwe ngoNovemba 10, ngenxa yokuthi ayisakwazanga ukulalela ubufakazi bukamsolwa wesihlanu ngenxa yesikhathi.

Umsolwa wokuqala uMbatha, uzicelele yena enkantolo ukuthi anganikezwa ibheyili.

Azichazwanga izizathu zalokho.

“Ngenxa yokuthi nanibhema insangu ndawonye nomsolwa wokuqala, yilapho enakha khona itulo lokuyobulala abantu ukuze nithole izicubu zabo,” kugcizelela uZuma.

Abasolwa bathe bazowaphika amacala ababhekene nawo.

Kuke kwaqhuma uhleko phezulu enkantolo uSthole ebuzwa ukuthi wakufundela kuphi ukuba ngumelaphi wendabuko.

Uthe wakufundela eMalawi, kodwa uma esebuzwa ukuthi waya kanjani njengoba ethe i-passport akanayo, wathi waya khona ngombono, wafike wahlala khona ngaphansi kwamanzi izinyanga ezintathu, kwaba ukuqeqesheka kwakhe njalo.

Uphinde wahlekisa umphakathi ngokuthi athi umphakathi uyamdinga ngoba ubuye abe ngumthandazi.

Uma engekho phakathi kwawo, uzoswela amanzi ngoba uyena okhulekela ukuthi imvula ine.

U-Andile udalula indoda eyamdlwengula

$
0
0
ULIDALULE okokuqala igama lomuntu owamdlwengula njengoba eveze ukuthi wanukubezwa nguyise omzalayo, umethuli wohlelo iKhumbulekhaya kwiSABC1.

U-Andile Gaelisiwe ubhoboke ngoyise kwiTwitter amsola ngokumnukubeza esikhathini esiphambili.

Eminyakeni edlule u-Andile wake wakuveza ukuthi wake wanukubezwa kodwa ubengakaze aligagule igama lomenzi wobubi.

Uvumile ukuthi nguyena obhalile nokuthi akushoyo umile kukhona futhi kuyiqiniso.

Ukubhala kwakhe kube ngemuva kokuthi kube khona owesifazane ofake isithombe sale ndoda kuTwitter ngoSepthemba.

Lo wesifazane ucele abantu ukuba bamfunise umlisa. Ukuze alekeleleke kalula ufake isithombe, wabe esefaka namagama osaziwayo phakathi kwabo okukhona no-Andile olandelwa ngabantu abaningi ngenxa yohlelo alwethulayo lokuthungatha nokuhlanganisa abantu abadukelene.

U-Andile uthi wethuke koma nasozwaneni ebona isithombe sikayise sifakwe yilo wesifazane.

Yize engaphathekile kahle ngokubona uyise kodwa uthe umjabulele lo wesifazane ngokuthola uyise nokusho ukuthi usengudadewabo.

U-Andile uphinde waveza ukuthi wayekade engamazi uyise, kuthe uma sebetholene, wamdlwengula.

Uthe bekusele izinsuku ezimbalwa kube ngusuku lwakhe lokuzalwa olungoSepthemba 13.

Ukwethuka kwakhe kudalwe wukubona uyise namgcina ngosuku amnukubeza ngalo kudala.

“Ngangingambizi ngobaba kodwa ngangimbiza ngomdlwenguli,” kusho u-Andile.

Ukumbona esithombeni kubuyise ukudinwa okuhambisana novalo.

“Namuhla ngitshela bonke abesifazane abake bahlukunyezwa ukuthi nami ngingomunye wenu. UP*** (emgagula ngegama) uyihlazo elibi. Kufanele axolise ngokubi akwenza. Ngizwa ngidinwa ngokungamvuleli icala ngesikhathi engigila.”

IPhini leMeya liboshelwe imikhuba yocansi

$
0
0
LICHITHE impelasonto ezikhindini iPhini leMeya laseMkhandlwini waseBaqulusini ngemuva kokuboshwa mayelana nezinsolo zokuhlukumeza ngokocansi.

Leli khansela elingeke lize lidalulwe ngoba alikabuzwa ukuthi liyalivuma noma liyaphika yini icala, kulindeleke ukuthi livele enkantolo kusasa.

Umsolwa uboshwe ngoLwesihlanu ngemuva kokuzinikela emaphoyiseni ehamba nommeli wakhe.

Umsolwa, usolwa ngokuhlukumeza ngokocansi owesifazane maphakathi nale nyanga.

Kuthiwa umsolwa wanika lona wesifazane i-lift, wahamba naye waya ehlathini, lapho afika khona waqala wamthintathinta, wabe esemcela ukuthi akamncele ubuntu bakhe.

Isisulu kuthiwa sanqaba, umsolwa wagcina eseshaya indlwabu phambi kwaso.

Amakhansela e-IFP eZululand kubalwa nomholi weqembu osesikhundleni esiphezulu, kuthiwa azame ngayo yonke indlela ukuthi anxenxe amaphoyisa ukuba esule icala, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Umsolwa uke waba sembangweni oshisa phansi wesikhundla sobuMeya eBaqulusini, kodwa wagcina engalibonanga elidlalayo njengoba kugcine kungene uMnuz Jerry Sibiya.

Umhlahlandlela wakhala ngokuthi umsolwa akakaqini ukhakhayi, wathi kuzofana nokumphosa emphandwini wezingonyama ukumfaka kwesobumeya.

Imizamo yokuthola uSomlomo eMkhandlwini waseBaqulusini uMnuz Michael Khumalo ayizange iphumelele izolo njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

USotshwebhu wamakhansela e-ANC eBaqulusini uNkk Maria Mabaso, uthe bazwile ngezinsolo zokuboshwa kwePhini leMeya.

“Sizwile ngalezi zinsolo, kodwa sizolinda umkhandlu ukuthi usibikele,” kusho uNkk Mabaso.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenent Colonel Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuboshwa kwePhini leMeya.

"Umlisa oneminyaka engu-30 ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngecala elithinta ucansi. Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yaseVryheid ngoMsombuluko (kusasa)."

UMbeki ukhale ngabaholi be-ANC abazinothisayo

$
0
0
OWAYENGUMENGAMELI wakuleli uMnuz Thabo Mbeki, uthi inkinga yokuzitapela kwabaholi be-ANC ezimalini zomphakathi ngenhloso yokuzicebisa, indala kakhulu yaqala ngo-1994 ngesikhathi ithatha izintambo zombuso.

UMbeki ubekhuluma esikhumbuzweni e-University of Witswatersrand ngoLwesihlanu, esikhumbuzweni sika-Oliver Tambo owayeyisigomagoma somzabalazo. Ukhale ngabaholi bale nhlangano, wathi babona umbele ogwansile kuhulumeni. Uthe amalungu aleli qembu awasalawulwa yimigomo yokubeka phambili inhlalakahle yabantu.

"Lokhu kusikhombisa ngokusobala ukuthi uKhongolose ugcwele abantu abangiyiqondi kahle imigomo yawo. Abakwaziyo nje ukuzicebisa bona besebenzisa izinsiza zikahulumeni. Laba bantu bagudlukile emigomweni ayehamba ngayo uTambo," kusho uMbeki.

Uthe le nkinga ebhekene naleli qembu elidala kunawo wonke emzabalazweni, libhekene ninkinga enkulu kunazo zonke eyake yabhekana nazo selokhu lasungulwa. "Ngesikhathi iqembu lethu libhekene nenkinga yokudingiswa ngo-1940 kuya ku-1960, amalungu eqembu ahlangana angenelela isimo salunga. Namhlanje kunzima ngoba i-ANC ibhekene ngeziqu zamehlo iyodwa ngaphakathi. Ngabe uKhongolose unawo amalungu akulungele ukungenelela asombulule izinkinga? Yilowo umbuzo osalayo."

Uthe kuyishwa ukuthi konke lokhu kwenzeka ngesikhathi ingcithabuchopho enguTambo ingasekho phakathi kwabo. Uthe indlela efanele yokukhumbula nokuhlonipha uTambo, ukuthi kulandelwe ezinyathelweni zakhe. - ANA

Uyise kaMeyiwa ubhonge esiguqweni ngababulali

$
0
0
UYISE kalowo owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana ongasekho, uSenzo Meyiwa, uMnuz Sam Meyiwa, uthi ngeke ziphole izilonda zokushona kwendodana yakhe bengakaboshwa ababulali bayo.

Ekhuluma nabezindaba emzini wakhe ngoMgqibelo ngemuva kwenkonzo kaSenzo, uMeyiwa uthe kuvuka iminjunju enhliziyweni yakhe njengoba kuyinyanga ka-Okthoba okuyinyanga okwabulawa ngayo uSenzo ngo-2014.

USenzo wadutshulwa washona ngesikhathi ekubo kantombi yakhe engumculi odumile, uKelly Khumalo, eVosloorus, eGauteng.

“Angazi ukuthi ngonani kubani njengoba ngihlukunyezwa ngale ndlela, uSenzo ulisebenzele kahle iqembu lakhe iPirates, waze wabizwa nakwiBafana Bafana waba ngukapteni kuzona zombili lezi zindawo futhi ethandwa ngabalandeli emhlabeni wonke kodwa uma eseshona kungasukunywa,” kusho uMeyiwa.

Uthe ngokujwayelekile uma kushone usaziwayo amaphoyisa ayasukuma ababulali babanjwe ngokushesha kodwa kwindodana yakhe kwenzeka okwehlukile.

“Kudutshulwe umsakazi uMandla Hlatshwayo, akuzange kuphele isikhathi eside babanjwa abantu abambulala,” kusho uMeyiwa.

UMeyiwa uthe abantu ababulala uSenzo bayaziwa kodwa ababoshwa ngoba benezimali.

“Kuyacaca ukuthi abantu ababulala uSenzo bagwazela amaphoyisa njengoba bengaboshwa,” kusho uMeyiwa.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>