Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Uqokwe ngamagatsha amakhulu eThekwini uDlamini Zuma

$
0
0
UQOKWE ngamagatsha amakhulu eThekwini izolo uDkt Nkosazana Dlamini Zuma ukuthi angenele umbango wobumengameli we-ANC ngoDisemba eGoli. UDkt Dlamini Zuma ukhethwe yigatsha laseNtshangwe naKwaXimba.

ENtshangwe abeseka iPhini likaMengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, bakhale ngokuthi amalungu e-SACP awazange atshelwe ukuthi umhlangano wokukhetha abaholi uzobe ukuphi.

“Sizoziphikisa iziphakamiso eziphume emhlanganweni,” kusho ilungu eleseka uRamaphosa.

Abaseka uRamaphosa KwaXimba bathe bebelokhu bekhunjuzwa ukuthi kudingeka umuntu wesifazane ukuthi abe ngumengameli we-ANC.

Okhulumela i-ANC eThekwini, uNksz Zinhle Cele, uthe amalungu abetsheliwe ngomhlangano, ngokusho kukaSihlalo kawadi 4, uKhanyi Gumede.


Umfundisi 'ususe isono' eshadisa bonke abakipitile ebandleni

$
0
0
Umfundisi wesifazane eKapa, eScottsville, wenze okungajwayelekile eshadisa izithandani (6) ebezikipitile ebandleni lakhe ngemuva kokuba nombono 'obuvela kuNkulunkulu'. 

Umfundisi uTanelle Welft-Dixon (43) uthi uMdali umcele ukuthi ashadise zonke izithandani ezihlezi esonweni ngokuhlala ndawonye zingashadile. Lezi zithandani zishadiswe ndawonye ngoMgqibelo, emshadweni ohlelwe ezinsukwini ezintathu nje kuphela. 

Lo mshado wonke kuthiwa ube yimpumelelo ngomnikelo njengoba yonke into ibisikhokheliwe. Ngesikhathi umfundisi ebashadisa uthi ufonelwe yisihlobo esinefamu eJoostenbergvlakte, esithe bangakwazi ukuthatha izithombe zomshado kulo. 

Umfundisi uTanelle Welft-Dixon okhulele eThekwini uthi ufikelwe umbono obuvela kuNkulunkulu ukuthi uzoshadisa izithandani ezingu-6. Isithombe: Solly Lottering/Daily Voice

Umfundisi uTanelle, okhulele eThekwini, uthe ubenza umsebenzi kaNkulunkulu. 

"Ngesonto eledlule ngathola umbono ovela kuNkulunkulu. Ngabona amatafula amhlophe omshado. Lombono waqhamuka ngesikhathi ngiqhuba umkhuleko wami wamasonto amabili wokuthi ngikhuleke kuze kuvele okuthize," kusho lo mfundisi.

"Ngacela ukuthi uNkulunkulu angivezele amacebo akhe, wangiyalela ukuthi kumele ngishadise labo abahlala ndawonye bengashadile nalabo abanganayo imali yokushada kodwa abathandanayo,"

"Ngamemezela lokhu esontweni izithandani zaphumela obala zasho ukuthi sezikhathele ukuhlala esonweni."

Ezinye zezithandani ziveze ukuthi bese zihlale ndawonye iminyaka engu-35 sezililahlile nethemba lokuthi ziyoke zishade.

UNkk Johanna Julius (58) nomyeni wakhe uMnuz Clark Julius bathe bajabule kakhulu. 

"Besizoyithatha kuphi imalu yokuba nomshado onje emnyakeni yethu?" kubuza bona. 

Usomatekisi 'udubule' umshayeli wakhe kubangwa iholo

$
0
0
UBOSHIWE usomatekisi (41) wasePhoenix osolwa ngokudubula umshayeli wakhe wafa emuva kokubanga iholo.

Kuthiwa umshayeli, uMnuz Siyabonga Gcabashe (30), waKwaMashu, udutshulwe wumnikazi wetekisi abeyishayela ngoLwesihlanu ebusuku ngaphambi kwehora lesishiyagalombili bebanga ukuthi ubefuna iholo lakhe. Kukholakala ukuthi kusuke ingxabano usomatekisi wase edubula uGcabashe esiphundu, wafela khona lapho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, ukuqinisekisile ukuthi umnikazi wetekisi uboshiwe.

“Umsolwa uboshwe ngalo usuku lwesehlo. Kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduzane ngecala lokubulala,” kusho uCol Mbhele.

UMnuz Prem Balram, okhulumela uphiko lweReaction Unit South Africa, uthe babizelwe endaweni yesigameko emuva kokuzwakala kokuqhuma kwesibhamu.

“Ngesikhathi sifika sifice umgilwa elele phansi opha kakhulu. Sithole ukuthi unenxeba lokudutshulwa ekhanda. Abezimo eziphuthumayo bakuqinisekise emuva kwesikhashana nje befikile ukuthi umgilwa useshonile,” kusho uBalram.

Uveze ukuthi kuqale kwanezinsolo zokuthi umshayeli weToyota Quantum ubehlehlisa imoto epaka, washayisa udonga. Umnikazi wemoto wathi uma emthethisa ngokushayela budedengu kwasuka ingxabano. Kuthiwa umshayeli ube eselanda isibhamu emotweni wadubula emoyeni. Kuthiwa umqashi wakhe uzame ukumphuca isibhamu, saqhuma samdubula ekhanda.

UBalram uthe kubuye kwavela ukuthi kube nengxabano, usomatekisi wakhipha isibhamu sakhe wadubula umsebenzi wakhe. Endaweni yesehlakalo kutholakale isibhamu i-9mm.

Ingoduso ibhokode isoka lafa

$
0
0
USASHAQEKILE umndeni wowesilisa (26) waKwaMbonambi okuthiwa ubhokodwe yingoduso yakhe (22) ngommese washona emuva kwengxabano, ngoMsombuluko.

Umndeni kaMnuz Sicelo Mthuntutho waseNzalabantu Reserve awukakholwa namanje ukuthi ingxabano yakhe nengoduso igcine iholelele ekufeni kwakhe. Kusolakala ukuthi usabise ingoduso yakhe ngobhushu yona yamgwaza emqaleni ngommese washona.

Uyise, uMnuz Oswald Mthuntutho uthe uzwe indodana yakhe nengoduso yayo bexabana ekuseni ngehora lesihlanu, izolo.

“Undondana ubefika nje ekuseni ekade ehambile. Bengilokhu ngimgcine ngoLwesihlanu nabafowabo. Ubengumuntu ophuzayo obevamile ukuthi ahambe angabuyi. Ingoduso yakhe beyingaphuzi kodwa beyingayithandi le nto yakhe yokuhamba angabuyi, nami bengimkhuza ngayo. Ngithe uma ngizwa ukuthi bayaxabana ngathumela umfowabo ukuthi ayokhuluma naye, amehlise umoya ngoba ubezwakala ukuthi ucasukile. Akazange amlwise ngoba ngesikhathi esemkhuzile ushilo wathi useyolala yena. Futhi akazange amshaye unina wengane yakhe,” kusho uMthuntutho.

Uthe noma engazi ukuthi bebebangani uthole ukuthi indodana yakhe ike yabuza ingoduso yayo ukuthi beyiqhamukaphi i-airtime ebisefonini yabo abebeyisebenzisa bobabili.

UMthuntutho uthe bebezitshela ukuthi uma indodana yakhe isithe iyolala kobe sekuphelile ngengxabano ebiphakathi kwezithandani.

“Mina ngifice eselimele lo mfana, sekubonakala nje ukuthi isimo sakhe sibucayi ngoba ubebonakala sengathi usephefumula ngenxeba. Umgwaze kanye nje emqaleni. Bamphuthumise emtholampilo wafike washonela khona. Endlini yakhe ngifice kunegazi emcamelweni, okungenza ngikholwe ukuthi umgwaze elele,” kusho uMthuntutho.

Kuthiwa ingoduso kaSicelo ithe ubeyijaha ngobhushu eyisabisa ngawo ngesikhathi imgwaza.

Uthe kokunye indodana yakhe ike yashaya ingoduso yayo yayibeka umaka ehlweni. Uthe ingxabano yabo yayizolo beyingenzima ngale ndlela yokuthi bekungaze kuphume isidumbu, ikakhulu ngoba uSicelo ubesekhombise ukwehlisa umoya wathi uyolala.

UMthuntutho uthe bazolinda umthetho wenze umsebenzi wawo kulesi simo, abafuni ukusola kakhulu kodwa bafuna ukudedela amaphoyisa ukuthi kube yiwo enza uphenyo.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uLt Col Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi ingoduso iboshiwe. Uthe kulindeleke ukuthi ivele eNkantolo yaKwaMbonambi ngecala lokubulala maduze.

Sekubhekwe isinqumo kwelakwaShembe

$
0
0
SEKUBHEKWE isinqumo ecaleni lokudluliswa kwecala lobuholi bakwaShembe njengoba inkantolo enkulu yaseMgungundlovu inqume ukusigodla.

Izolo, amajaji amathathu iPhini likaMengameli wamaJaji KwaZulu- Natal, u-Isaac Madondo namajaji oJerome Mnguni noThoba Poyo- Dlwati balalele izethulo zabameli abamele uMnuz Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe noMnuz Vela “Imisebeyelanga”Shembe.

Icala lobuholi baleli bandla eselidonse iminyaka belilalelwe kule nkantolo ngemuva kokuphuma kwesinqumo esasivuna umholi waseThembezinhle uVela Shembe esathi nguye umholi. AbaseBuhleni banquma ukusidlulisa isinqumo.

Abameli baphekwe ngebho-dwe elincane ngamajaji abefuna ukucaciselwa ngezinye izinto ebezenza ukuthi icala lidluliswe.

Ummeli omkhulu woNyazi, uRBG Choudree, uthe badlulise icala ngoba bekholwa wukuthi inkosi yamaQadi, uMqoqi Ngcobo, wamemezela umuntu owayeqokwe wuThingo, umholi waseBuhleni osakhothama onguyise woNyazi.

UMnguni ubuze ukuthi njengoba bemi ngeqholo ngalobu bufakazi uNgcobo wathini?

Ummeli uvule umqulu obubhalwe lokhu: “Ningadidiswa abantu belokhu benitshela ngabanye abaholi. Izolo, ngikhale ubusuku bonke ngicabanga. Akekho omunye umholi ozophatha ozovela kwabanye abantu, umholi wenu wuMduduzi Shembe.”

Amajaji ngokushintshana abuze ukuthi uNgcobo njengoba akhuluma kanjena wayethunywe wubani.

“Engifuna kusicacele wukuthi ngabe uNgcobo wamemezela izifiso zenkosi uThingo noma wayesho ukuthi uThingo lwaphakamisa bani ukuba abe ngumholi? Inkulumo esiyibona emqulwini iveza ukuthi lokhu wayezikhulumela ngokwakhe, akukho lapho kucaca khona ukuthi uthunyiwe futhi uthunywe ngubani nokuthi kumele akhulume muphi umyalezo,” kusho uMnguni.

UChoudree uthwale kanzima ephendula.

“UNgcobo wayengathunyiwe kodwa wayetshela abantu njengenkosi into ayeyitshelwe wuThingo ngoba lumethemba. Wazisebenzisela ithuba lokukhuluma ngokwesikhundla sakhe,” kusho uChoudree.

IJaji Poyo-Dlwati lithe ngabe lokhu okwavezwa yinkosi uNgcobo ukuthi ayikwazanga nokulala ebusuku ngaphambi kokuthunywa wuThingo, yikona okwenza wagijima kuqala wayomemezela igama eyangathunywanga ukuba alimemeze?

“Engifuna kusicacele wukuthi kungani amemezela igama lomuntu ekubeni engathunywanga futhi enolwazi lokuthi ekugcineni komngcwabo kuzoba khona umuntu ozomemezela ngokusemthethweni?” kubuza uPoyo-Dlwati.

Kube nzima kummeli ukuphendula wagcina esemi ngokuthi uNgcobo wasebenzisa igunya lakhe lokuba yinkosi futhi wabona kufanele ukumemezela igama lomuntu uThingo olwalufisa ahole ibandla.

Okunye okuvezwe wummeli athe kwenza luqine udaba lokuthi uNyazi yinkosi efanele wukuthi ngokwenjwayelo ebandleni uyise ushiyela indodana.

Amajaji ashaye phansi ngonyawo athi yisifiso ukuba kuhambe kanjalo njengoba emlandweni webandla kuke kwenzeka kwaphatha abantu abalamanayo (Inyanga neLanga) kwangaphatha amadodana abo, nokwenza kungabi yinqubo ukuthi kuphatha indodana uma kukhothama uyise.

Kube ongaphansi nongaphezulu kuphendulwana kucaca ukuthi amajaji ahambe kakhulu ngolwazi nomlando wecala.

Ummeli omkhulu weMisebeyelanga, uMnuz Archie Findlay, naye amajaji awazange amnike ithuba embuza ukuthi yini eyenza ame ngonyawo olulodwa athi igama elibhalwe encwadini yilona lomholi.

“Ubufakazi obuphambi kweNkantolo buveza ukuthi uNgcobo ubesondelene kakhulu noThingo futhi lumethemba. Ebufakazini bukaVela waveza nokuthi ngesikhathi kunezinxushunxushu waya kuNgcobo ecela ukuba amlekelele amkhulumele noThingo. Yini eyenza igama elavezwa uNgcobo bangalethembi?” kubuza uMadondo.

UFindlay uthe njengoba uThingo lwabhala incwadi labeka igama elilodwa wathi okwashiwo ngesikhathi lufihlwa kuqinisekisa ukuthi lwalufuna kuhole uVela hhayi omunye umuntu.

Nodokotela woThingo kwathi uma ebuza ngozothatha uma lukhothama lwathi igama likummeli.

“Inkosi ekhotheme yayingabhala igama laloyo owaphakanyiswa wuNgcobo ukuba yayifuna ukuba ahole kodwa ayizange imphakamise. Yaphakamisa uVela Shembe njengomholi,” kusho uFindlay.

IJaji uMadondo uthe kusheshile ukwenziwa kwezethulo zokudlulisa kwecala wathi isinqumo bazosigodla.

Akucaci ukuthi ubulaweleni obevakashile ehostela eGlebe

$
0
0
KUNENDIDA ngokubulawa kwendoda (37) eyashiya ehostela laseMlaza, iGlebelands, ngoba isatshiswa, okuthiwa idutshulwe kasishiyagalombili ifike kulo leli hostela.

Ngokuthola kwaleli phephandaba uMnuz Bongani Ntaka waseHarding ubehleli nabanye abahlali basehostela eBlock K bephuza ngesikhathi kutheleka amadoda angaziwa avulela ngenhlamvu.

Kuvela ukuthi uNtaka udutshulwe amahlandla ayisishiyagalombili, waphuthunyiswa esibhedlela wafike washonela khona.

Kulesi sigameko esenzeke ngoLwesihlanu kudubuleke nabanye ababili, abalimele owesifazane nowesilisa.

Umthombo ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe uthe uNtaka ubengasahlali ehostela, wahamba ngo-2015 ngoba ekade esatshiswa ngabathile.

Kuthiwa efika ehostela wayehlala eBlock 49 wase eyohlala eBlock K emuva kokusuka kothuthuva ngaphambi kokuhamba.

Uthe ngeke bathi ubulawelwe udlame lwasehostela ngoba abanye abantu babulalana ngenxa yezingxabano ezisuka emakhaya.

“Ngeke ngithi ngiyazi ukuthi wayesatshiselwani kodwa yena wayengomunye wabantu ababehambisana nokuthula ehostela. Sekunesikhathi eside engahlali ehostela. Usuku abulawe ngalo yilona abefike ngalo. Ngizwe abanye bethi kukhona abezokulanda ehostela,” kusho umthombo.

Kwenzeka lokhu nje abahlali bakuleli hostela basanda kuncoma ukusebenza kwamaphoyisa atshalwe ehostela. Namanje bathe ababoni gcobho ekusebenzeni kwawo.

“Amaphoyisa akhona namanje futhi asebenza kahle. Esikubonile nje ukuthi ancishisiwe nokungenzeka ukuthi yikho okube nomthelela ekutheni kube khona abathole ithuba. Nangelanga lesigameko asheshe afika, ayiphelanga imizizu eyishumi ebiziwe. Akufani nalawa ayekhona ayefika emuva kwamahora isigameko senzekile,” kusho lo mhlali.

Isishoshovu esilwa nodlame, uNksz Vanessa Burger, sithe yize sekuboshwe abantu abaningi ehostela ngamacala okubulala kuze kube manje uyedwa kuphela umuntu osagwetshiwe.

Ubalule isigameko sokubulawa kukaMnuz Zinakile Fica owayaziwa ngoBhakabhaka okuthiwa wabulawa ngamaphoyisa ngesihluku ngo-2014, wathi kuze kube manje alikho iphoyisa eselike laboshwa noma okubukeka engathi liyaphenywa ngokusebenzisana nezinkabi zakuleli hostela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala namabili okuzama ukubulala.

Uthe ayaziwa imbangela yokuhlaselwa kwalaba abathathu futhi akukaboshwa muntu.

Amathiphu angasiza abafundi abenza u-matric

$
0
0
ABAFUNDI baka-matric baba nengcindezi enkulu uma sekuyisikhathi sokuhlolwa, ikakhulu uma kungokokuphela konyaka. Kubalulekile ukuthi noma ikhona leyo ngcindezi bakwazi ukuthola ithuba lokuhlela kahle ukufunda kwabo bese bezinika isikhathi sokuphumula. Lesi sikhathi akufanele kube ngesibalulekile kubafundi kuphela kodwa kufanele sibaluleke emndenini wonke, umfundi asekwe ngesikhathi ezilungiselela.

Nazi ezinye zezinto ezingasiza abafundi njengoba bebhala:

Ukuba nohlelo olucacile lokufunda:

Kubalulekile ukwenza uhlelo olucacile lokufunda ugxile kulona. Uhlelo lwakho akufanele lube yisikhathi eside kakhulu ngoba lokhu kwenza ugcine ungasezwa lutho. Kubalulekile nokusifaka isikhathi sekhefu ohlelweni lwakho. Bheka amaphepha aseke abhalwa phambilini

Amaphepha aseke abhalwa phambilini akunika umqondo ocacile ngongakulindela uma sewubhala. Zijwayeze ukuzinika isikhathi sokuthi uzihlole ukuze ubone ukuthi wazi kangakanani nokuthi yikuphi osadinga ukuzicija kukho.

Thatha ikhefu

Kubalulekile ukufaka ezinye izinhlelo ngaphandle kokufunda ohlelweni lokuzilu-ngiselela. Faka izinhlelo ezingakusiza ushawe umoya, njengokuba nesikhathi sokuzivocavoca umzimba, ukuphuma nabangani noma nomndeni.

Idla ngendlela:

Ukubhala izivivinyo akusho ukuthi kufanele umfundi ahlale usuku lonke ebhekene nezincwadi angabe esakunaka ukudla. Ukudla okunempilo njengezithelo nemifino kubalulekile kulesi sikhathi. Kubalulekile nokuphuza amanzi nokuzinika isikhathi esenele sokulala.

Okungenziwa abazali nomndeni ukweseka abafundi:

Ukukhuthaza umfundi ukuze azibone engaphumelela.

Ukuncoma okuhle asuke ekwenza ngesikhathi ezilungiselela. Kungaba ukunqaba ukuya ephathini ukuze azinike isikhathi sokufunda noma ukuzivocavoca ngesikhathi esathathe ikhefu ekufundeni.

Ukungamfakeli ingcindezi ngokumtshela ukuthi ulindele enze kahle ezivivinyweni zakhe nokumqhathanisa nabanye asebephumelele.

Ukumunika isikhathi sokufunda ngokumkhulula ekwenzeni eminye imisebenzi yasendlini okubukeka sengathi ithatha isikhathi esiningi sokufunda.

Akufanele umndeni ulindele ukuthi umfundi uzobheka izincwadi usuku lonke ngaphandle kokuhlaba ikhefu. Kunalokho kufanele agqugquzelwe ukuthi alithathe ikhefu enze ezinye izinto ezizomsiza ukuphumuza umqondo.

- Olunye ulwazi luthathwe kwabeSouth African College of Applied Psychology

Isikhalo seSACP ngamaphoyisa kweye-ANC

$
0
0
I-SACP KwaZulu-Natal ikhala ngokujutshwa kwamaphoyisa omkhandlu weTheku aqapha imihlangano yamagatsha e-ANC yokuqoka abaholi abaya engqungqutheleni yale nhlangano ngoDisemba.

Lokhu kulandela ukusabalala kwezithombe ezinkundleni zokuxhumana zamaphoyisa omkhandlu engenisa abantu ezindaweni obekunomhlangano kuzo. Enye indawo amaphoyisa abejutshwe kuyo yiKwaXimba ku-ward 1 lapho bekukhethwa khona abaholi.

USihlalo weSACP esifundazweni, uMnuz James Nxumalo, uthe amaphoyisa omkhandlu asetshenziselwa ukugada abaholi be-ANC esifundeni iTheku.

Uthe ukujutshwa kwamaphoyisa emihlanganweni yenhlangano yinto ekade yaqala.

“Kwakwenzeka kubhekwe engqungqutheleni yokukhetha ubuholi besifundazwe nangesikhathi kulungiselelwa ingqungquthela yesifunda iTheku. Amaphoyisa asuke ejutshwe abaholi be-ANC hhayi umasipala,” kusho uNxumalo.

Isekela likakhomishana wamaphoyisa, uMnuz Sbonelo Mchunu okhulumela amaphoyisa eTheku, lithe bebejube amaphoyisa omkhandlu emihlanganweni engu-36 ye-ANC.

UMchunu uthe umthetho ukubeka kucace ukuthi kumele baqaphe imihlangano eThekwini uma kunabantu abevile ku-50.

“Siqapha kuyo yonke imihlangano. Eye-ANC, IFP, DA asikhethi nhlangano. Njengoba bekunomhlangano wamaLuthela besiqaphile. Njengoba bekunomhlangano woFakazi bakaJehova sasiwajubile amaphoyisa, ngakho siyaqhubeka nokuqapha imihlangano ukuze abantu bangalimali. Uma iSACP ingasifuni emihlanganweni yayo kumele isibhalele isazise,” kusho uMchunu.

Uthe bebesebenzisana namaphoyisa eSAPS beqaphe imihlangano ye-ANC.

UNxumalo uthe akazange aziswe ngomhlangano wegatsha ayilungu lalo eNtshangwe ngeSonto.

Usho lokhu nje sikhulu isikhalo ngokushiywa ngaphandle kwamanye amalungu emihlanganweni yokukhetha abaholi abazoya engqungqutheleni ye-ANC.

“Ngiyilungu lika-ward 4 eNtshangwe. Usihlalo wegatsha ungumakhelwane wami kodwa bengingazi ukuthi kunomhlangano wokukhetha abaholi. Ngibone ngamabhasi nje abeletha abantu abazovota, nami bengiya emhlanganweni weSACP ePinetown,” kusho uNxumalo, owayeyimeya yeTheku esithangamini nabezindaba izolo.

Kulesi sithangami uNobhala weSACP, uMnuz Themba Mthembu, uthe abazisoli ngokuthi babesekhaleni lokuqinisekisa ukuthi uMengameli Jacob Zuma uhola i-ANC.

“Asizisoli ngokuba sekhaleni lokufuqa umkhankaso wokuthi uZuma abe ngumengameli we-ANC. Sasingazi ukuthi kuzoba nje, asizona izangoma.Okubuhlungu wukuthi ukulwa kwenzeka ngesikhathi kugujwa iminyaka engu-100 yokuzalwa kuka-OR Tambo,” kusho uMthembu.


UNGQONGQOSHE ukhale ngamaNdiya nabeLungu

$
0
0
UNGQONGQOSHE woMnyango wokuHlaliswa kwaBantu noMsebenzi woMphakathi KwaZulu-Natal   uMnuz Ravi Pillay ubike ukuthi abelungu namaNdiya  banamabhilidi awu-80% esifundazweni. 
"Ucwaningo luveza ukuthi lento yokuthi abelungu namaNdiya kube ibona abaphethe amabhilidi amaningi ezweni kudala ukungalingani kwezomnotho kanye nasemphakathini," kusho uPillay. 
Ekhuluma nephephandaba elinguzakwabo waleli, iDaily News, uPillay uthe uhulumeni ufuna ukugudluza abantu abamyama(okungamaKhaladi namaNdiya) kwisivumelwano semali esingango  R50million. Eqhuba uthe amabhange kufanele 
asize abantu abamnyama ngokubaboleka imali ukuze nabo bakwazi ukuba namabhilidi.
"Uhulumeni wenze isiqiniseko sokuthi u51% wabantu abamnyama bazoba namabhilidi abo.  Abelungu namaNdiya kuthiwa kufanele bafune abantu abamnyama  abazobambisana nabo kula mabhizinisi  amabhilidi ukuze bakwazi ukuthola amathenda,’’ kusho uPillay. 
Olunye ucwaningo luveza ukuthi imali engangoR1.3million wamathenda kahulumeni aveza ukuthi 34% walama thenda uya kubelungu, u32% kumaNdiya kuthi u30% uye kubantu abamnyama.
‘’Lesi simo kwakungafanele sibe inkinga kangako, ngoba emnyakeni edlule kuvela ukuthi abantu abamnyama abathola amathenda bebewu38%’’, kusho uPillay. Isixazululo sale nkinga ukuthi uhulumeni akasebenze kanzima ukuthi u60% wabantu abamnyama basizakale ekuphatheni amabhizinisi amabhilidi. Hhayi ngoba lokho kuzobandlulula abelungu, amaNdiya kanye namaKhaladi ngoba mabehlangana bakhipha u13% esifundazweni saseKZN bese kusala u40% abangawu sebenzisa wonke," kusho uPillay. 

AbeMisebe sebevivela ukuya eBuhleni

$
0
0
ABASETHEMBEZINHLE sebebheke ukuba bakwazi ukubuyela eBuhleni uma iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu iphinde ibavuna kwelombango wobuholi webandla lakwaShembe.

Lokhu kushiwo okhulumela uhlangothi lwaseThembezinhle uMnuz Nkululeko Mthethwa izolo engxoxweni ekhetheleki neSolezwe.

NgoMsombuluke enkantolo yaseMgungundlovu bekulalelwa izethulo zokudluliswa kwecala, njengoba ngonyaka odlule iNkantolo eNkulu yaseThekwini yavuna uMnuz Vela “Misebeyelanga” Shembe njengomholi.

Lo mbango wobuholi uphakathi kukaMnuz Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe naye uVela.

Kumanje iNkantolo yaseMgungundovu isigodlile isinqumo.

UMthethwa uthe njengamanje ibandla lizolinda abameli ukuba balazise ngelanga okuzokhishwa ngalo isinqumo.

“Amajaji azobiza abameli bethu abazise uma esekulungele ukukhipha isinqumo. Siyobe sesazisa ibandla bese sibuyela enkantolo. Siyethemba ukuthi inkantolo izophinde ivune thina kulolu daba. Uma siphumelela sobe sesithatha indlela yomthetho yokuba sibuyele eBuhleni bese siqoqa yonke into yebandla,” kusho uMthethwa.

UMnuz Thokozani Mncwabe okhulumela uhlangothi lwaseBuhleni uthe nabo babheke ukuba kubahambele kahle.

“Akekho umshayi sibhakela oke angene eringini ezitshela ukuthi uzohlulwa, nathi sibheke ukuba siphumelele kulolu daba. Konke sikubeka kuNkulunkulu nasoNyazini njengamanje,” kusho uMncwabe.

Ebuzwa ukuthi uma bephinde bekhala ngaphansi ngabe banazo yini izifiso zokudlulisela icala eNkantolo yaseBloemfontein uthe: “Okwamanje ngeke sikukhulume lokho, sizobheka isinqumo bese

sizwa uNyazi ukuthi lufuna senze njani,” kusho uMncwabe.

Ngokusho kukaMthethwa, igama iThembezinhle ngeke liphele uma bebuyela eBuhleni ngoba vele kwakuyigama lethempeli lakhona eBuhleni. Liyoqhubeka lisebenze njengegama lethempeli. Umbango wobuholi ubusenkantolo kusukela kukhothame umholi uThingo ngo-2011.

Enyukile amacala okubulala

$
0
0
YIZE lehlile izinga lobugebengu eNingizimu Afrika kodwa enyukile amacala okubulawa kwabantu kuleli.

Ekhipha izibalo zobugebengu kusukela ngo-Ephreli 2016 kuya kuMashi 2017 izolo, uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli uMnuz Fikile Mbalula uveze ukuthi ubugebengu bamacala abucayi kuleli behle ngo 1.8% kodwa amacala okubulala wona alokhu enyuka kusukela eminyakeni emithathu edlule.

Wonke amacala obugebengu ahlobene nodlame kubalwa ukubulala, ukuzama ukubulala nokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe ayanyuka kusukela eminyakeni emithathu edlule.

Uveze ukuthi iGauteng iyona ehamba phambili ngobugebengu ilandelwe iKwaZulu-Natal.

UMbalula uxwayise izigebengu ngokuthi zizobhekana nolaka lwamaphoyisa uma ziqhubeka nokugila imikhuba.

Uthe uma bebheka ubugebengu behlile kodwa banenkinga nobugebengu obuhambisana nodlame obunyukayo.

UMbalula uthe akakuzwa ngisho emahlombe akhe ukuthi ubugebengu behlile.

Uthe abantu baseNingizimu Afrika kumele bazibuze ukuthi bayavuma yini ukuhlala nezigebengu.

Inhlangano ecwaningo amacala obugebengu kuleli,i- Institute for Security Studies (ISS) igxeke uMengameli Jacob Zuma yathi unesandla ekunyukeni kobugebengu kuleli ngokuhluleka ukuqasha uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke onamava.

“Ukugxambukela kwezombusazwe kuzona zonke izigaba emaphoyiseni nakho kunomthelela ebugebengwini,” kusho uMnuz Mike Greenshields we-ISS.

UGreenshields uthe ukuvikelwa kobeyiNhloko yophiko lwezobuNhloli uLt General Richard Mdluli omiswe iminyaka eyisithupha emsebenzini kuluphazamisile uphiko lwamaphoysa olulwa nobugebengu obuhleliwe.

Ugxeke namaphoyisa angawenzi umsebenzi wathi bazowakhuculula embuthweni. Uthe nokushintshwa njalo koKhomishana bamaPhoyisa kuphazamisa nomsebenzi wamaphoyisa. Inyunyana yamaphoyisa nojele iPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) ithe yize ubugebengu behlile kodwa mncane umehluko okhona.

Okhulumela iPopcru kuzwelonke uMnuz Richard Mmamabolo uthe umbutho wamaphoyisa ubuyekeze zonke izinhlaka zamaphoyisa. Uthe kumele kuqiniswe nezinhlaka zomphakathi ezilwa nobugebengu.

Zimi kanje izibalo zobugebengu ezweni:-

-Amacala okubulala kulo nyaka awu-19 016, uma eqhathaniswa no-18 673 wangonyaka odlule

-Awokuzama ukubulala angu-18 205, nyakenye abewu- 18 127

-Awokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe awu-140956, nyakenye abengu- 132527

-Ukugqekezwa kwezinye izindawo - 75 618, nyakenye 75 008

-Ukugqekezwa emakhaya- 246 654, nyakenye 250 606

-Ukwebiwa kwemfuyo- 26 902 ngokudlule kwaba u-24 715

-Amacala ezidakamizwa- 292 689 ngokudlule kwaba u-259 165.

- Amacala ezibhamu nezinhlamvu- 16134 ngokudlule kwaba u-1 4772

Kusolwa uhulumeni ngokufa kwabantu

$
0
0
AMAQEMBU ezombusazwe asola uhulumeni mayelana nokunyuka kwezibalo zokubulawa kwabantu ezimenyezelwe ngoLwesibili.

Ilungu le-DA esiShayamthetho KwaZulu-Natal, uDkt Rishigen Viranna, lithe uhulumeni kumele ulwe nesihlava sokubulawa kosopolitiki.

“Isifundazwe sethu sibhekene nezinkinga ezintathu eziholela kulesi simo sobugebengu. Okokuqala yisimo sezimali, ukukhwabanisa nobugebengu obuthinta ipolitiki. Yize kunjalo kuncane okwenziwe wuhulumeni we-ANC eKZN ukulwa nesihlava sokubulawa kwabantu kusukela ngo-2014,” kusho uDkt Viranna.

I-DA iphinde yakhala ngeziteshi zamaphoyisa yathi zithwele kanzima ngoba azinayo ingqalasizinda yokusebenza, abasebenzi abaqeqeshiwe ngendlela futhi abanele.

Ithe uhulumeni ophethe kuyacaca ukuthi uyahluleka ukuvikela abantu njengoba izibalo zokubulawa kwabantu nobunye ubugebengu, ikakhulukazi obuthinta izidakamizwa, ukukhwabanisa kwemali kwenyukile.

I-DA ngokwayo ithe umbono enawo ngokusebenza kweziteshi zamaphoyisa nobuholi bamaphoyisa ukuba kube abantu abakwazi ukwenza umsebenzi ngendlela.

“Sidinga amaphoyisa aqeqeshiwe ngendlela, kubuyiswe uphiko oluyisipesheli oluzolwa nobugebengu, kugcwalise izikhala ezivulekile, kube nabaholi abaqotho emaphoyiseni,” kusho uDkt Viranna.

Umholi we-IFP kwisiShayamthetho KwaZulu-Natal, uMnuz Blessed Gwala, uthe uhulumeni kumele ubhukule kwezokuphepha komphakathi.

“Kasimangali ngokukhula kobugebengu eKZN. Kumele sikuca­bangisise ukuthi kulezi zibalo kunamacala abikiwe kuphela, kunamanye amacala akhona angabikiwe. E-KZN akupheli usuku ungezwanga ngokubulawa komuntu, ukudlwengulwa, ukuthunjwa, ukugqekezwa nobunye ubugebengu. Izigebengu zihlezi zingaphambi kwamaphoyisa. Kuningi uhulumeni okumele akwenze ngobugebengu obunyuka minyaka yonke.”

Uthe njengoba kunenkinga engaka yobugebengu kumele udaba lwezibhamu ezingekho emthethweni, izidakamizwa kubhekisiswe ngoba ikona okuwumsuka walobu bugebengu obungaka.

Okhulumela ikhokhasi ye-ANC ePhalamende, uNksz Nonceba Mhlauli uthe ukwehla kwezibalo zobugebengu kukhombisa ukuthi usuqala ukuthela umkhankaso kahulumeni kaKhongolose wokulwa nobubengengu.

UMchunu usemise umsebenzi kwakhe

$
0
0
I-DA KwaZulu-Natal inxusa uNdunankulu uMnuz Willies Mchunu ukuba awudayise umuzi wakhe wombuso oseParkside, eMgungundlovu, osususe umsindo ngenxa yezinsolo zokuthi ulungiswa ngo-R32 million wabakhokhi bentela.

Umholi we-DA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe uMchunu kumele awufake endalini umuzi ukuze usetshenziswe abadinga indawo yokuhlala kakhulu.

I-DA eKZN izolo iye kulo muzi kaMchunu iyowuhlola ngemuva kwemibiko yabezindaba ethi kubekwe * -R32 million wabakhokhi bentela ukuze ulungiswe.

UMchunu useyalele ukuthi kumiswe ukulungiswa komuzi waphinde waphakamisa ukuthi kwenziwe uphenyo ngenhloso yokuthola ukuthi besikhona yini isidingo sokuthi ulungiswe nokuthi ilandelwe yonke yini imigudu yokukhipha ithenda yokwenza umsebenzi.

Ngokwemibiko yabezindaba ukulungiswa komuzi kuthiwa kuzodla * -R32 million kodwa uMnyango wezokuHlaliswa kwabantu esifundazweni, oholwa uMnuz Ravi Pillay, uyakuchitha lokho uthi okwamanje umsebenzi usadle * -R821 000.

“Lolu phenyo oluzokwenziwa luzophinde lusize ekutholeni ukuthi ngabe umsebenzi uyifanele yini imali obekelwe yona,” kusho uMchunu.

UMchunu uthe umphumela wophenyo uzonekelwa iKhabhinethi nomphakathi.“Okwa-manje awukho umsebenzi ozoqhubeka njengoba sisafuna ukuphenya ngezikhalo zabathile mayelana nokulungiswa komuzi,” kusho uMchunu.

UPillay uthe * -R32 million okukhulunywa ngawo yisabelo-mali seminyaka eyisikhombisa sokulungisa umuzi.

“Isabelo-mali saqhamuka nethimba lochwepheshe abenza ucwaningo benza isilinganiso sokuthi umsebenzi ungabiza malini,” kusho uPillay.

Uthe ukulungiswa kwendlu kuhambisana nemigomo yoMkhandlu waMafa Heritage mayelana nezakhiwo ezineminyaka engaphezulu kwengu-60 wathi umuzi usuneminyaka engu-137.

Isakhiwo sinomuzi, izindawo ezimbili okungahlalwa kuzona uma kunemihlangano nehhovisi labasebenzi.

Umehlokaboni kongasiza amaphoyisa abophe isiqumama seForex

$
0
0

AMAPHOYISA asekhiphe umehlokaboni ka-R10 000 kongawalekelela kuboshwe isiqumama seForex, uMnuz Prince Mazibuko, osolwa ngoxhaxha lwamacala athinta ukuphanga izimali zabantu. 

UMazibuko, oneminyaka engu-23, kuthiwa uzakhele udumo ngokwenza izigidi zamarandi esebenzisa iForex Trading. Emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana ubonakala egqoka izimpahla eziphambili, eshayela nezimoto ezibizayo. 

Ngasekuqaleni kuka-Okthoba kwelinye lamakhasi elisebenzisa igama lakhe kuFacebook kunombhalo anxusa ngawo abantu ukuthi baqaphele ngoba kunabantu abazenza yena. 

"Nginekhasi elilodwa kuFacebook, nelilodwa labalandeli bami. Lawa amanye eniwabonayo enegama nezithombe zami, akumina lowo. Ingiphatha kabi lento ngoba idicilela phansi isithunzi sami. Ngifela izono zabanye abantu," kusho lo mbhalo kuFacebook, okungenasiqiniseko sokuthi wabhalwa nguye.  


 

Amaphoyisa aseSandton eGoli asekhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kukaMazibuko. Athe ongaba nolwazi ngaye angaxhumana nomphenyi we-IRS u-Enock Masingi ku-  0861 911 477 noma bamthumelele umyalezo ku-masingi@irsa.co.za.

UMazibuko uke wavela enkantolo yeMantshi ngoJuni nonyaka ebhekene nezinsolo zokukhwabanisa. Watholwa enganacala njengoba babungekho ubufakazi bamacala ayesolwa ngawo. 


'Ungqongqoshe wayengenalo igunya lokumisa u-Apleni' -iJaji

$
0
0

INKANTOLO enkulu ePitoli ngoLwesithathu inqume ukuthi kumele abuyiselwe esikhundleni sakhe onguMqondisi-Jikelele woMnyango Wezasekhaya, uMnuz Mkuseli Apleni, obesamisiwe emsebenzini. 

UJaji Hans Fabricius unqume ukuthi obengungqongqoshe walo mnyango ubenganawo amandla okumisa u-Apleni emsebenzini. Uthe isinqumo sokumiswa kuka-Apleni asikho emthethweni futhi sasingekho isidingo saso. 

Ngaphezu kwalokho ijaji lithe owayengungqongqoshe walo mnyango, uSolwazi Hlengiwe Mkhize osengungqongqoshe weMfundo ePhakeme, kumele akhokhe zonke izindleko zaleli cala. 

Kube nenhlokomo kwashaywa izandla ngesikhathi ijaji lethula isinqumo salo enkantolo ebigcwele abantu abebeseka u-Apleni. U-Apleni uthe usekulindele ngabomvu ukubuyela emsebenzini kwazise usehlale ekhaya izinyanga ezimbili. Uthe kuyadumaza ukuthi kudingeke ukuthi aye enkantolo ukuze ageze igama lakhe. 


Video: Zelda Venter

Ngesikhathi emiswa kulo mnyango u-Apleni, kwabekwa izizathu zokuthi wahluleka ukudlisa umyalezo wangqongqoshe ukuze kuxazululwe udaba oluphakathi komnyango nenkampani iFireblade LTD, epehethwe umndeni wakwa-Oppenheimer. 

Inkantolo ngesonto eledlule yaziswa ukuthi ungqongqoshe uMkhize wahlangana nalo mndeni ezowazisa ukuthi luzoxazululwa udaba oluphakathi komnyango nale nkampani. 


U-Apleni uthe uyasola ukuthi kunezinye izizathu ngokumiswa kwakhe. 


Umthetho woweTheku okungenzeka ususe umsindo

$
0
0
UMASIPALA weTheku kungenzeka uziqhathe nezinhlangano ezilwela ukungafihlwa kolwazi uma uqhubeka nomgomo wawo wokuvimbela abezindaba kweminye imihlangano yawo.

IRight 2 Know (R2K) isho kanje ngemuva kokuthi umasipala wethule umbiko esigungwini esiphezulu esilawula umasipala.

Ngokombiko, umasipala usezinhlelweni zokuchibiyela eminye imithetho yokulawula isimo, iRule of Order, engaphansi komthetho ka-2014 olawula umasipala.

Ezinye izinto ezibalwa kulo mthetho wukuthi kunqatshelwe abezindaba nomphakathi kweminye imihlangano yesigungu esiphezulu kumasipala.

Ukuchibiyela kungagunyaza isigungu esiphezulu ukuthi singabavumeli abantu abathize emihlanganweni uma kunesidingo salokho, kulabo bantu kubalwa nabezindaba. Kulo mbiko kuvela ukuthi izindaba ezimayelana nophenyo, ulwazi oluyimfihlo lukamasipala kusezintweni okumele abezindaba nomphakathi bangavunyelwa ukuba semihlanganweni edingida ngako.

Ngokwalo mbiko abezindaba kungenzeka banqatshelwe ukuba semhlanganweni okhuluma ngezindaba ezithinta imali yomkhandlu, izivumelwano zokuthenga noma zokudayiswa kwezimpahla ezithile zomkhandlu. Kuzogodlwa nolwazi okukholakala ukuthi ukwaziwa kwalo emphakathini kungaphazamisa amabhizinisi noma ubudlelweno bomkhandlu nabathile.

Emihlanganweni abezindaba abavumelekile kuyo sekuzodingeka bathole imvume kusomlomo noma esigungwini esilawula umkhandlu uma befuna ukuphatha imishini yokuqopha.

IDA ayihambisani nokuchitshiyelwa kwalo mthetho. Ithi kuphambene nomthetho-sisekelo.

USomlomo womkhandlu, uMnuz William Mapena uthe: “ Ukuchitshiyelwa kwalo mthetho sekusesigabeni sokugcina. Imininingwane ngabaphawulayo ngawo ikhona, sewusesigabeni sokuthi wamukelwe.”

UMnuz Biko Mutsaurawa we-R2K uthe ithimba labo lezomthetho likubheke ngeso elibukhali okwenzeka ngesichibiyelo.

“Siyawuxwayisa umasipala ngalo mthetho ovimbela ukusebenza kwabezindaba. Lokhu kuyashayisana namalungelo akusomqulu wamalungelo abantu. Uma beqhubeka nalokhu kumele bazilungiselele ukubhekana nomthetho,” kusho uMutsaurawa.

UMnuz Darlio Milo owungoti wezomthetho, uthe lokho kungenziwa uma kunezizathu ezinqala futhi kube yimihlangano ethize kuphela noma izigaba ezithile zaleyo mihlangano.

“Umkhandlu kumele ubeke izizathu ezicacile zokuthi kungani ungafuni abezindaba babe yingxenye yalowo mhlangano. Noma ngubani uvumelekile ukuphikisana nalokho ngokuya enkantolo,” kusho uMilo.

UDkt George Devenish owungoti womthetho-sisekelo uthe ukuziphatha komkhandlu kumele kuphonselwe inselelo.

“Ilungelo lokukhuluma ngokukhululeka yilungelo elibaluleke kakhulu ku-section 16. Kulo kubalwa ilungelo lokuthola ulwazi nelungelo lokuzikhethela iqembu lepolitiki. Amalungelo kuliqiniso ukuthi anomkhawulo kodwa lokho akumele kwenziwe ngendlela ephikisana nomthethosisekelo. Kumele kwenziwe ngendlela evumelana nomthethosisekelo, evulelekile, enokulingana futhi engehlisi isithunzi.

BUKA: Izithombe zomuzi kaNdunankulu obizwa ngeNkandla yesibili

$
0
0
UMnyango weMsebenzi yoMphakathi umemezele ukuthi sekumisiwe ukuthuthukiswa komuzi kaNdunankulu waKwaZuu-Natal, uMnuz Willies Mchunu. 

Lokhu kulandela ukusuka komsindo ngenkathi kuvela ukuthi lo muzi uzolungiswa ngo-R32 million wabakhokhi bentela.  

NgoLwesibili UMchunu uyalele lo mnyango ukuthi kumiswe ukulungiswa komuzi waphinde waphakamisa ukuthi kwenziwe uphenyo ngenhloso yokuthola ukuthi besikhona yini isidingo sokuthi ulungiswe nokuthi ilandelwe yonke yini imigudu yokukhipha ithenda yokwenza umsebenzi.

Ihhovisi likaMchunu likuchithile ukuthi ususetshenzisiwe uR32 million. Lithe kusasetshenziswe uR821 000 kuphela njengamanje. 

Indawo yokubhukuda okuthiwa izolungiswa. Isithombe: SITHUNYELWE
 
Ngalo usuku olufanayo, izikhulu ze-DA zivakashele umuzi kaMchunu oseParkside, eMgungundlovu. 

"Indawo yokubhukuda (swimming pool) sekuphele cishe iminyaka engu-20 ingasetshenziswa," kusho uMnuz Mkuseli Madubela oyimenenja emnyangweni weMsebenzi yoMphakathi ngesikhathi ehlatshwa ngemibuzo ngumholi we-DA esifundazweni, uMnuz Zwakele Mncwango. 

Izikhulu zalo mnyango zikuphikile nokuthi kuzochithwa uR1 million kulungiswa indawo yokubhukuda. 

"Leyo mali izochithwa kulungiswa yonke indawo yokungcebeleka okubalwa kuyo indawo yokubhukuda, indawo yokosa inyama kanye nendawo yeziphuzo. Kuzolungiswa nenkinga kagesi," kusho uMadubela. 

Udalule ukuthi kuzolungiswa nendawo yokudlala i-tennis nemigwaqo engaphakathi emagcekeni alo muzi. 

Indawo yokosa inyama nayo okuthiwa izolungiswa. Isithombe: BONGANI MBATHA

Umnyango ubuhlela nokwakha izindawo ezintsha zokupaka izimoto. Umsebenzi usuqalile ukwenziwa ekhishini nasemagumbini okugeza. 

"Inkandla yesibili le. Ukuthuthukiswa komuzi waseNkandla kwathiwa kugxile endaweni yokubhukuda ngokunjalo nendawo yokungcebeleka. Kubekwa izizathu ezifanayo nangalo muzi," kusho uMncwango. 

Uthe kuyakhathaza ukuthi kuzochithwa uR32 million kulungiswa umuzi ongenziwa lutho. 

"Bangakhela abantu abahlwempu izindlu ngale mali," kusho yena.


Indawo yokudlala iTennis okuthiwa izolungiswa. Isithombe: BONGANI MBATHA




 

Akucaci ngophenyo ngeMusic House KZN

$
0
0
SELUPHENDUKE inkombankombane udaba lophenyo mayelana nokusebenza kweMusic House KZN kanti nohulumeni wesifundazwe akafuni ukuphawula ngalo.

UMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal okuyiwo oxhasa isikhungo samaciko ngemali uthe wuMnyango wezeziMali esifundazweni ongaphawula kangcono ngophenyo ngoba yiwo olusingethe.

Ngakolunye uhlangothi owezeziMali uthe ngowezobuCiko namaSiko okumele uphawule.

Kwenzeka konke lokhu nje iDemocratic Alliance KwaZulu-Natal ithe ngokuthola kwayo uphenyo seluphothuliwe futhi kuthinteka izikhulu eziphezulu esikhungweni.

Okhulumela uMnyango wezobuCiko namaSiko, uMnuz Mack Makhathini, uthe abanalo ulwazi ngokuthi uphenyo seluphothuliwe. “Sigcina ukubheka uphenyo lwalusaqhubeka. Ngicela ubheke noMnyango wezeziMali okuyiwo owajuba uphenyo ngemininingwane,” kusho uMakhathini.

Uqhube wathi abalwenzanga bona uphenyo ngoba abakwazi ukuziphenya bona.

Okhulumela uMnyango wezeziMali, uMnuz Musa Cebisa, uthe basaqhubeka nophenyo.

“Ngeke siphawule ngoba lwajutshwa wuMnyango wezobuCiko namaSiko. Yonke imibuzo ethinta uphenyo kumele ibhekiswe kulowo mnyango,” kusho uCebisa.

Ilungu leDA esiShayamthetho futhi elikhulumela inhlangano kwezobuCiko namaSiko, uGeorge Mari, lithe ngokuthola kwabo uphenyo seluphothuliwe.

“Okunzima ngalokhu wukuthi amaciko asafufusa aseKZN awasenandawo yokuqopha noma isikhungo esikahle sokuthuthukisa ithalente lawo,” kusho uMari.

Uthe lesi simo sidinga ukulungiswa ngokushesha futhi balindele ukuthi uNgqongoshe wezobuCiko namaSiko uNkk Bongi Sithole-Moloi abavulele amacala bonke abathinteka kulolu phenyo.

“Ngeke siyibekezelele imizamo yokuvikela nanoma ngubani. Konke ukungcola kumele kukhucululwe futhi lesi sikhungo esibalulekile kumele sakhiwe kabusha ukuze abantu baseKZN basisebenzise futhi,” kuchaza uMari.

Abasebenzi bagcina ngoFebhuwari emsebenzini futhi bengaholile kwathiwa abayohlala emakhaya.

Owayengumphathi omkhulu wemali, uMnuz Faisal Docrat, owaxoshwa ngo-2015, wafaka isikhungo enkantolo ekhala ngokuxoshwa kwakhe. Icala walinqoba inkantolo yaze yathumela isikhonzi ukuba siyodla impahla ukuze athole imali yakhe.

Usanda kutshela leli phephandaba ukuthi udaba lubuyela enkantolo ngonyaka ozayo ngoba uMnyango wezobuCiko namaSiko wathi impahla yaseMusic House ngeyawo.

Imithi yokugqiha kubanjwa abenkunzi

$
0
0
ABHADANYWE nemithi okusolakala ukuthi eyokugqiha amadoda ayisikhombisa asolwa ngokuba ngongqondongqondo ekubanjweni kwenkunzi ezitolo, okudlange KwaZulu-Natal.

La madoda akhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngoMsombuluko edolobheni eNquthu emuva kokuba amaphoyisa elunywe indlebe ngawo.

Ngokuthola kweSolezwe, laba balisa bebehamba ngezimoto ezahlukene ngesikhathi ezakwadalawane zibathelekela besadla ukudla kwasemini kuleli dolobha.

Kuthiwa abasolwa abayisithupha bebesendleleni beyobamba inkunzi isitolo sakwaBoxer esiseNkandla, badlula eNquthu ukuyohlola isimo ukuthi sihamba kanjani ngenhloso yokubuya bazoqola.

Imithombo ithi bebehlela ukubuya kuBoxer wakule ndawo uma sekuholwa impesheni ngenyanga ezayo.

Phakathi kwezinto ezitholakale kubona kubalwa izibhamu nezinhlamvu namabhodlela emithi, okusolakala ukuthi bayisebenzisela ukuthi bangabanjwa uma sebegila imikhuba.

Kuthiwa abakwaSidlodlo babambe iqembu lokuqala okuyilona eligonyuluke konke lakhipha nabanye elihamba nabo. Ngesikhathi amaphoyisa ebapheke ngobhojwana ngemibuzo bahlanze iqiniso njengomuntu efa, besho amaqhinga abebelele kuwona okubamba izitolo.

Umthombo uthe amadoda agcine ekhipha ngisho ubhongoza owaphethe ebugebengwini ababenza isifundazwe sonke.

Uphenyo lwamaphoyisa luwaholele eKatlehong, eGoli lapho kubanjwe khona omunye wabasolwa ephethe isibhamu esingekho emthethweni, kwavulwa icala esiteshini sakhona.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuboshwa kwabasolwa, wathi bayamaniswe nezinye izigameko zokubanjwa kwenkunzi eNquthu naseNewcastle.

‘’Sisazoqhubeka nokuhlola kabanzi umlando wabasolwa ukubheka ukuthi awekho yini amanye amacala abathinteka kuwona. Bazolinda ukwethweswa amacala okubamba inkunzi bese bevela enkantolo maduze,’’ kusho uZwane.

Obambe kwesomkhuzi wamaphoyisa esifundazweni uMajor General Bhekinkosi Langa uncome amaphoyisa aseNquthu ngokubopha abasolwa.

Umndeni kaMeyiwa usuthembe umthandazo

$
0
0
USUBEKE amathemba emkhulekweni umndeni wowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana ongasekho, uSenzo Meyiwa, osekuphele iminyaka emithathu abulawa kodwa bekungakaboshwa muntu.

Uyise kaSenzo, uMnuz Sam Meyiwa, izolo uthe uhlele ukhukhulelangoqo womkhuleko ukuze “kuqaqeke amafindo” endabeni yokubulawa kwendodana yakhe.

“Siyabona sengathi yonke into kaSenzo ibophekile, abantu abambulala ababanjwa kanti futhi kunenkinga ngemali yakhe. Manje sesithi ake sinxuse uMdali angenelele mhlawumbe uzophendula ngoba siyazi phela ukuthi ayikho into ehlula umthandazo,” kusho uMeyiwa.

UMeyiwa uthe inkonzo kaSenzo izoba yizinsuku ezintathu. “Umkhuleko uzoqala ngoLwesihlanu (kusasa) lapha ekhaya uphele ngeSonto,” kusho uMeyiwa.

Uthe inkonzo izobe iholwa yibandla iHoly Apostolic Church in Christ noSenzo abekhonza kulo.

“Silindele amakholwa avela eNingizimu Afrika yonke eza enkonzweni kaSenzo, nabalandeli bePirates siyabamema nabo ukuthi abeze enkonzweni sizokhuleka ndawonye,” kusho uMeyiwa.

Uthe kubaphatha kabi ukuthi sekuphele iminyaka emithathu kodwa abantu ababulala indodana yakhe abakabanjwa namanje.

USenzo wabulawa ngesikhathi ekubo kwantombi yakhe uKelly Khumalo, eVosloorus ngo-Okthoba 2014.

Kwaboshwa uMnuz Zamokuhle Mbatha kodwa wabuye wadedelwa ngenxa yokungabikhona kobufakazi obumhlanganisa necala.

Kumanje uMbatha ubopha umbuso ngokumbophela ize.

UMeyiwa usola ukuthi amaphoyisa agwazelwa okuwenza ehluleke ukubopha ababulali bendodana yakhe.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>