Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Ubona amabhadi ezoyilandela iBucs uyise kaSenzo

$
0
0
UYISE kalowo owayengunozinti we-Orlando Pirates ongasekho uSenzo Meyiwa, uMnuz Sam Meyiwa, usongela Ezimnyama ngokuthi ngeke zize zizinuke izindebe kuze kuba usihlalo weqembu uDkt Irvin Khoza wenza ubulungiswa odabeni lwendodana yakhe.

Engxoxweni neSolezwe ngoMgqibelo, ngemuva kwesiguqo sokukhulukela ukuba kuqaqeke amafindo ngodaba lukaSenzo, uMeyiwa uthe uyakholelwa ekutheni uma iPirates ingamnika imali kaSenzo inhlanhla ingavuleka.

“USenzo ubeyidlalela ngokuzinikela iPirates futhi eyithanda ngoba ebona mina, bonke lapha ekhaya balandela iPirates ngoba babebona mina, manje uSenzo nalapho ekhona akayithandi le nto eyenzekayo, uyazibuza ukuthi kungani bengihlukumeza,” kusho uMeyiwa.

Uthe iqembu lizoba namabhadi ngeke liwine sicoco.

“Inhlanhla iyoze ivuleke uma sesithole imali kaSenzo ngamenzela zonke izinto zakhe, ngahamba ngayoshweleza kuyena ngacelela neqembu uxolo,” kusho uMeyiwa.

IPirates igcine ukuqubula indebe ngo-2014 ngesikhathi kusekhona uSenzo engukaputeni wayo.

Kusukela ashona ayikaze iwine lutho kanti isike yangangena ngisho nakwi-Top 8 ngenxa yesibhaxu.

EZimnyama ngempelasonto zishaye iLamontville Golden Arrows ngo 1-0 emdlalweni weTelkom Knockout last 16.

“Yize iPirates iyishayile i-Arrows kodwa ngeke ize iyinqobe iTelkom ngingabeka imali,” kusonga uMeyiwa.

Uthe kwayena uKhoza uyazi ukuthi akazange abenze ubulungiswa odabeni lukaSenzo.

“UKhoza udlale ngami kakhulu waze wagcina engasalubambi ucingo lwami ngoba esebona ukuthi sengiyisicefe,” kusho uMeyiwa.

USenzo wadutshulwa washona ngesikhathi ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus ngo-Okthoba 26, 2014.

Sekuphele iminyaka emithathu uSenzo abulawa kodwa akuboshwa muntu.

Amaphoyisa athi asaphenya.

Phambilini ethintwa uKhoza wathi wonke amafa kaSenzo asedluliselwe enkantolo esingatha izindaba zamafa.

UKhoza wathi uma uMeyiwa ekholwa wukuthi kukhona okumele akuthole kumele aye enkantolo esingatha amafa ePitoli.


Umunyu kuPhuzekhemisi kushona indodana

$
0
0
UMAKADEBONA kamaskanda uPhuzekhemisi ukhale ngobuhlungu benhliziyo ebona indodana yakhe imbozwa phambi kwakhe isishonile ngemuva kokushayiswa yimoto ikade izama ukuwela umgwaqo onguthelawayeka uN2 ngaseWinklespruit, izolo ekuseni.

UPhuzekhemisi uthe indodana yakhe uMagugu Mnyandu (22) ushonele khona endaweni yesigameko.

“Ubephuma emngcwabeni komalume, umshayeli wemoto abehamba ngayo wamehlisa kuthelawayeka. Uthe uyawela washayiswa yimoto. Ubuchopho bebuphuma ngamakhala.

“Ngehlelwe wuSathane. Ingane bayimboza ngamaphepha phambi kwami,” kusho uPhuzekhemisi.

UMagugu obefunda eNyuvesi yaseNingizimu Afrika enza unyaka wesithathu ezifundweni ze-Accounting. Ubedlala naye uyise uma enandisa emcimbini.

“Bekuwumfana ohlakaniphile. Ngilahlekelwe ngempela,” kusho uPhuzekhemisi.

Uthe usenezingane eziyisikhombisa. Uthe bahlela ukufihla ngempelasonto ezayo. Kwenzeka lokhu nje, uPhuzekhemisi ubejabulela ukuphuma kwe-albhamu yakhe entsha ethi Sinenkinga Ndabezitha ephume ngesonto eledlule.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, usiqinisekisile isigameko. Uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso esiteshini samaphoyisa saseManzimtoti.

Isililo ngabafundi abafe engozini

$
0
0
KUKHALWA nxazonke ngabafundi abane abangabangani abashone engozini yemoto eGreytown ngempelasonto.

Abafundi abane besilisa, abathathu kubo okuthiwa bebefunda eGreytown Secondary nomunye wase-Shane Primary bashone emini ngoMgqibelo bekade beyothenga edolobheni.

IToyota Corolla ebebehamba ngayo kuthiwa iphaphalazile ngase-Greytown High, beqhamuka ngaseMuden sebengena edolobheni laseGreytown.

UMnuz Myekeni Msani waseShane ngaphandle kwaseGreytown, ushonelwe yindodana uNhlanhla “Mape” Msani (16) nomzukulu * -Siyanda (12) kule ngozi.

Uthe indodana yakhe kade ihambe nodadewabo omdala behamba nomunye umshayeli onelayisensi beyothenga ukudla edolobheni.

“Angazi ukuthi kwenzekeni kahle ngoba bengingekho, ngibizwe sekwenzeke ingozi. Basuke ekhaya beyothenga ezitolo. Ngifonelwe sekonakele, sebesengozini. Uma sizwa kuthiwa imoto iphaphalazile, yaphuma emgwaqweni. Kuthiwa imoto ibachithile yaze yama. Abathathu bashonele endaweni yesigameko, indodana ishone esibhedlela,” kusho uMsani.

Uthe akazi ukuthi ubani obeshayela ngesikhathi kwenzeka ingozi.

Abafundi ababili uthe abangani bendodana yakhe abebefunda nayo eGreytown Secondary yize engenalo ulwazi lokuthi bebefunda maphi amagrade.

Omunye umufi kuvele ukuthi unina unguthisha eShane, omunye owaseNtunjambili.

Isolezwe alizange liyithole imininingwane yemindeni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane uthe: “Kuvulwe amacala amane okubulala ngokungenhloso kulandela ingozi okushone kuyona abane. Uphenyo luyaqhubeka.”

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Scelo Khuzwayo, uthe bagqemeke ingozi ngokushona kwabafundi.

“Lesi yisikhathi sokubhala izivivinyo zokuphela konyaka kubafundi, kubuhlungu kakhulu lokhu okuvelile. UNgqongqoshe uMnuz Mthandeni Dlungwane ukhalisana kakhulu nothisha, abazali nabafundi ngale nhlekelele,” kusho uKhuzwayo.

Ikhansela le-IFP eShane, uMnuz Vincent Zondi kushone elayizolo seliyile kwaMsani ukuyobhonga emswaneni. Likhale kakhulu ngokushona kwabafundi abayikusasa lezwe.

“Besisabheke lukhulu kulaba bantwana, abazali babo nginesiqiniseko bebebheke ukuba kube yibona laba bantwana abazobagcwaba uma sebekhulile. Siwumphakathi nezikole zaseGreytown silahlekelwe ngoba laba bafundi yibona abebezokwenza ikusasa lakuleli liqhakaze. Silimele kakhulu ngale ngozi. Sisazozama ukuhlangana neminye imindeni yabafundi siyiduduze ngale nhlekelele,” kusho uZondi.

Umsindo ngomuzi wesipho soNyazilwezulu

$
0
0
SEKUQUBUKE umsindo ngesithabathaba somuzi obekufanele samukeliswe umholi webandla lamaNazaretha aseBuhleni ngenyanga ezayo.

Lesi sipho sikaMnuz Mduduzi Nyazilwezulu Shembe ebesizonikelwa ngowayeyisethenjwa kuleli bandla kodwa osahlubuka uMphrofethi Benedict Xaba, singase sihoxiswe. Lokhu kungenxa yomsindo nenkulumo engeyinhle okuthiwa ishiwo ngumshumayeli wethempeli laseSandanezwe eGoli eyiqondise kuXaba.

Lo muzi kuthiwa useDidiyela eVosloorus eGoli.

Ngokwemithombo eseBuhleni, uMnuz Sifiso Mkhabela ukhulume amagama alumelile kwabanye ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni obungoLwesithathu oludlule.

“Umshumayeli uMkhabela uthe kuyadina ukuthi kunabantu abasalandela uXaba nabamkhonzayo. Uthe kufanele kukhishwe oR5 kukhulekelwe ukukhishwa komoya omubi wamadimoni kaXaba kuleli bandla. Akusiphathanga kahle thina ngoba siyazi ukuthi inkinga yakhe wumona anawo ngesiphiwo sokuthandazela abantu sikaXaba nokuthi akeneme ngokuzwana kukaXaba noNyazi,” kusho umthombo.

Omunye umthombo uveze ukuthi uMkhabela ubize umhlangano osheshayo ozokuba ngoLwesibili wathi akuyiwe kuwona umuzi owakhelwe uNyazi ngokushesha ukuze kuvalwe uXaba kuwona.

Okhulumela ibandla likaMphrofethi uXaba, iDr X Revival Enqabeni uMnuz Sizwe Njoko uthe bayizwile le ndaba yangabaphatha kahle.

“Siyizwile indaba yenkulumo eyenziwe emhlanganweni wamadoda. UMphrofethi uselubike nakummeli wakhe udaba ukuze kungabi khona muntu oya kulo muzi ngaphandle kwemvume yakhe. Abantu bayakhohlwa wukuthi lo muzi wakhiwe wuMphrofethi uXaba futhi usegameni lakhe. Bekuzothi uma esewudlulisele enkosini uNyazi kube yima ubiza igama layo. Singamakholwa ngakho sizokukhulekela lokhu okushiwoyo ngoMphrofethi,” kusho uNjoko.

Uthe akusilo iqiniso osekusabalele ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uMphrofethi uXaba usezobuyela eBuhleni.

UMkhabela uthe wayengaqondisile kuXaba kodwa wathi akukhishwe o-R5 ukuze kucelwe intethelelo ngenxa yokuthi kunabefundisi abayisithupha abephule imithetho yebandla.

“Ngangingaqondisile kuXaba ngangiqondise kulaba abayisithupha bethu. UXaba sewahamba ebandleni asinankinga naye futhi siyamthanda,” kusho uMkhabela.

Uthe mayelana nomuzi yena wazi owakhiwa ngamaNazaretha onke aseGoli ewakhela uNyazi. Akawazi owakhiwa nguXaba kuphela. Uthe yiwo awulungisayo futhi azohlangana ngoLwesibili kuwona ngoba wakhiwa yiwona amaNazaretha.

Okhulumela amaNazaretha aseBuhleni uMnuz Thokozani Mncwabe uthe unalo ulwazi ngomuzi kodwa akukho angakuphawula ngakho. Uqhube wathi wonke umuntu uvumelekile ukupha uNyazi isipho, akekho owehlukile komunye.

Ulifisela ukufa isoka 'elibulale' indodakazi

$
0
0
UYISE wesosha lesifazane okusolwa ukuthi libulawe yisoka maqede lazidubula nalo, uthi ngabe kungcono ukube nalo lishonile njengoba kubonwa ngokusa kulo esibhedlela.

UNksz Nomathemba Ngeleka (28) waKwaNzimakwe ngasePort Edward, obesebenzela i-South African National Defence Force (SANDF) ubulawe ngoLwesihlanu ese-Eastern Democratic Republic of Congo (DRC) ngokomsebenzi.

Ngokusho komndeni wakhe waziswe ukuthi udutshulwe yisoka nalo eliyisosha maqede lazidubula.

Ushonele endaweni yesigameko kwathi isoka layiswa esibhedlela, lisesimweni esibucayi.

Uyise kamufi, uMnuz Nkosinathi Ngeleka uthe kunsonsotha inhliziyo ngokubulawa kwendodakazi yakhe ebifana “nendoda” ekhaya ngenxa yemisebenzi yayo.

“Kubuhlungu ngendlela emangalisayo, indodakazi yami ibulawelwe kwelinye izwe wumuntu obethi uyayithanda. Ukusinda kwakhe lo mfana ngeke kusisize ngalutho ngoba uzoboshwa, aphinde aphume bese edubula enye intombazane njengoba enzile enganeni yethu. Ngabe kungcono ukuba bashone bobabili ukuze engeke aphinde ayenze le nto ebuhlungu kangaka komunye umndeni lo mfana,” kusho uNgeleka.

UNksz Ngeleka kuthiwa ubulewe esenkambini yamasosha.

Uyise kamufi uthe ngokwazi kwakhe bebeneminyaka emibili bethandana laba futhi isoka belike lifike livakashe.

Ngokusho kukayise kamufi bathole ukuthi laba bese behlukene.

“Emasontweni amabili adlule isoka lafonela unina kamufi licela ukuba amncengele ukuba babuyelane. Nami laze langifonela licela ukuthi ngincenge indodakazi ukuba babuyelane. Besingatholi ukuthi kubangwani kodwa isoka belithi izinkinga zidalwa yilona ngoba liyaphuza, indodakazi yami ayibuphuzi utshwala. Isoka belithi aliqonyiwe,” kusho uNgeleka.

Uthe bathole ukuthi ngoLwesihlanu indodakazi ibihambe nabangani esebenza nabo, beye kozithokozisa. Kuthiwa isoka limfice engekho enkambini. Esebuyela kuthiwa kube nengxabano labe selimdubula.

“Sigqemeke engeqinwa ntwala ngokushona kwayo. Ishiye nengane eneminyaka engu-10. Isimo sinzima kakhulu lapha ekhaya,” kusho uNgeleka.

Uthe usejahe ukuba kubuyiswe isidumbu sendodakazi yakhe ukuze ezoyibona, akwazi nokubhodla.

Umqondisi kwezokuxhumana kwi-SANDF u-Brigadier General Mafi Mgobhozi uthe basenza amalungiselelo okuba umufi abuyiswe kuleli.

“Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini kaNgeleka ngesigameko sokubulawa kwakhe. Ubesebenza kulo mbutho kusukela ngo-2011. Ubesenkambini eseMnambithi,” kusho uMgobhozi.

Umufi ushiye uyise, unina, odadewabo abathathu, abafowabo abathathu nengane yakhe eyodwa.

Kufunwa umkhondo wengane edukile

$
0
0
AKASABUTHI quthu ubuthongo unina womfana waseCato Crest, eMayville, oduke kuWarwick Avenue, eThekwini, ngoLwesihlanu.

UNksz Slindile Mbulu ongunina kaBandile Mbulu (2) uthe indodana yakhe yaduka ngoLwesihlanu emakethe lapho enetafula khona lokudayisa.

Uthe ujwayele ukuya nayo kule ndawo ngoba vele usebenza khona.

“Kwakungo-1 emini ekhona ngasetafuleni lami elingaseJwayelani. Ngathi ngiyaqalaza ngangabe ngisabona ukuthi ushonephi,” kuchaza uNksz Mbulu.

Uthe bekuqala ukuthi indodana yakhe imdukele kule ndawo ngoba uhlale ehamba nayo.

UNksz Mbulu uthe ukhathazekile ngokuduka kwayo njengoba ingakatholakali kanti ucela noma ngubani ongaba nolwazi lokuthi ikuphi noma oseke wayibona athinte amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe uBandile walahleka egqoke i-tracksuit enemigqa namateku amhlophe.

“Sicela noma ngubani ongaba nolwazi lokuthi angatholakala kuphi athinte amaphoyisa aseDurban Central noma yisiphi esinye isiteshi esiseduze. Abantu bangashayela nenombolo yokubika ubugebengu * -08600 10111.”

UTheo Bophela akasekho emhlabeni

$
0
0
UQOLOTHAKAMANGO emculweni we-jazz, uTheo Bophela (86), akasekho emhlabeni.

Ngokusho kwendodana yakhe, uBarney Bophela, umufi ushonele kwakhe eNanda Mission, eThekwini, izolo ngemuva kokuxinwa yisifo sikashukela.

“Uvuke ekuseni wadla iphalishi, wageza. Bathe sebethi bayomgcoba ngezithuba zabo 10 ekuseni, bamfica esethule.”

UBarney uthe uyise uqale wahlaselwa yisifo sikashukela ebesimbamba sibuye simyeke.

“Kuthe kusuka wayephelelwa wuthando lokudla. Ubesephila ngokuphuza umdoko nezinye iziphuzo, ukudla kungasangeni. Bekuthi noma simxina ngokudla, avele akubuyise.”

UBophela wazalelwa eSiphangweni, eMtshezi, ngoMashi 15, 1931.

Unina wamshiya emhlabeni eneminyaka emibili, uyise washona eneminyaka emihlanu, wakhuliswa ngugogo wakhe eMkhumbane, eThekwini.

Waqala ukucula esemncane kakhulu esontweni kangangoba waze waqeqeshwa nguPatrick J Chambers.

Ngemuva kokuphothula uGrade 12, wasebenza lapho kwakukhandwa khona imisakazo. Yilapho aqala khona ukuba nothando lomculo we-jazz. Wagcina esefundela ukudlala upiyano. Wasebenza neSwingsters Jazz Band, Chromatic Jazz Band, Keynotes Jazz Group, Theo Bophela Trios & Quartets Jazz Ressurection Orchestra.

Ubenoxhaxha lwamakhono futhi uhambele amazwe amaningi okuyiGreece, Holland, Australaia and New Zealand futhi wabhidisa iSoweto Jive e- Alkmaar, eHolland, nomufi uSophie Mgcina noTimothy Ndaba.

Ubhale izingoma eziningi ze-Opera ezisetshenziswe yiKZN Philharmonic Symphony Orchestra neNqwelo Afrika Jazz Group.

Ubambe elikhulu iqhaza ekuqongeleleni imali yokusiza iMasisizane Centre eseNanda. Wake wasebenza noGibson Kente emdlalweni wakhe owawuthi Manana The Jazz Prophet nasemdlalweni othi Madiba’s Farewell eMarket Theatre eGoli.

Eseneminyaka ewu-79 wasungula iqembu lakhe iNqwelo Africa futhi wathola o-distinctions abawu-19 ezifundweni zomculo e-UKZN.

Ubeyilungu leKZN Arts and Culture Council, Social Transformation Sub-Comittee nezinye izinhlangano. Ushiye emhlabeni amadodana akhe amane okunguBongani, Barney, Phumlani noScelo. UBarney uthe uyise uzofihlwa emathuneni aseNanda ngoMgqibelo.

Kubulawe omunye umlimi ngosuku lwemibhikisho ye#BlackMonday

$
0
0
KUBULAWE ngesihluku omunye umlimi waseVryheid, KwaZulu-Natal, osukwini abalimi abaningi abebe bumbane ngalo bebhikishela ukuthi uhulumeni aqinise ezokuphepha emapulazini ukuze kwehle ukubulawa kwabalimi kuleli. 

NgoMsombuluko kume nse ukusebenza kweminye yemigwaqo emikhulu kuleli ngesikhathi kunemibhikisho yeBlack Monday, ebihlelwe abalimi abebekhala ngokubulawa kwabalimi kuleli. 

Ngesikhathi isaqhubeka le mibhikisho, kubulawe uMnuz Bokkie Potgieter otholwe ebulewe evenini lakhe. Kubikwa ukuthi osolwa ngokumbulala ubulawe ngabasebenzi bepulazi eliseduzane ngemuva kokuthi eshayise iveni likaMnuz Potgieter. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe uPotgieter ubulawe ngobhushi ematasa akha ihhokwe lezinkukhu epulazani lakhe. Uthe isidumbu sakhe sihuduliwe safakwa evenini lakhe, iFord Bantam. 

UGwala uthe le moto ibonakale ishayisa isigxobo sika gesi, amalungu omphakathi abe esesondele ukuyobona ukuthi kwenzekeni. 

Amaphoyisa asaphenya ngalolu daba. 

The Mercury


Ugwetshiwe owaqotha abantu

$
0
0
UGWETSHWE iminyaka engu-30 ebhadla ejele owesilisa ovume amacala okubulala abantu abayisithupha ngoba bentshontsha amakhasimende akhe ewunga.

UThabane Osbourne Shange (26) ugwetshwe izolo eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngokubulala abantu eHammarsdale ekuqaleni kwalo nyaka.

Kulesi sigameko sangoJanuwari 20 nonyaka kwabulawa oMnuz Siyanda Kubheka (26), Sphamandla Mavundla (29), Siphelele Kubheka (36), Mcebisi Gondo (28), noNksz Hlengiwe Dubazane (20) noNonhlanhla Mthalane (22). Kwasinda uMnuz Bongani Ntuli owaphuthunyiswa esibhedlela.

Ibamba leJaji, u-Anand Maharaj, lithe lo mbulali akabanga nanembeza ngesikhathi ebulala abantu ngesihluku.

“Wena singakuthatha ngokuthi uwumalugaju ngoba ubulale abantu abaningi kangaka ngosuku olulodwa. Ngokobufakazi bukadokotela babulawa kabuhlungu bedutshulwa emakhanda. Omunye kwabesifazane, ukuhlolwa kwesidumbu sakhe kuveza ukuthi isibhamu sabekwa ekhanda wabe esedutshulwa. Ubulwane lobu owabenza, impilo yomuntu isiyenziwa into eshibhile nje. Ngenxa yesenzo sakho ngikugweba iminyaka engu-30 ubhadla ejele,” kusho uMaharaj.

Evuma icala uShange uthe wayeziphuzela utshwala kubo kwamngani wakhe kwafika abanye abangani babo.

Uthe * -Ayanda wakhala ngokuthi kunomuntu (obizwa ngoFabry) obabangisayo ngokudayisa iwunga endaweni futhi akafuni ukulalela uma emsabisa.

Lo mngani wabacela ukuba kuyiwe kuyena kuhlonyiwe ukuze abone ukuthi akadlali.

Uthe bahloma ngezibhamu kodwa yena, (uShange) wayengasiphethe.

Uthe bafika kubo kwesitha bangqongqoza kwaba khona ovulayo. Wakhonjwa ngesibhamu, badudula umnyango bangena endlini bafica inqwaba yabantu bebhema iwunga.

Uthe wezwa sekuqhuma isibhamu wabona ukuthi kudutshulwa abantu abasendlini. Uthe naye wathatha isibhamu kumngani wadubula owesilisa esiswini maqede babaleka.

Uthe bayisikhombisa sebebonke abantu ababadubula endlini.

Uboshwe ngoSepthemba 8 nonyaka, wahlanza konke emaphoyiseni.

Ummeli wakhe, uNksz Lauren Marais, emncengela enkantolo uthe uShange unezingane ezimbili ahlala nazo, eneminyaka eyisikhombisa neneminyaka emihlanu, abezondla njengoba ebeshayela amatekisi.

Umshushisi, uMnuz Mbongeni Mthembu, uthe ufanelwe iminyaka engu-30 ngoba omunye umbulali kulesi sigameko, uSisanda Mvinjane naye owavuma icala, wagwetshwa 30 weminyaka ngoMashi 2 nonyaka. Kusafunwa abanye abasolwa ababeseqenjini elahlasela.

UNksz Nomvula Dubazane, owashonelwa yindodakazi yakhe uHlengiwe nabafowabo uSiyanda noSiphelele, uthe bathobeka amanxeba ngesigwebo.

“Sigculisekile ngesigwebo yize izihlobo zethu zingeke zisabuya. Esikufunayo manje ukuba kuboshwe abanye ababulali abasasele,” kusho uNksz Dubazane.

IPosi lichithe umbiko kaBathabile Dlamini

$
0
0
ISOUTH African Post Office (Sapo) ngoLwesibili iphikise ungqongqoshe wezeNhlalakahle yoMphakathi, uNksz Bathabile Dlamini, ithi seyikulungele ukusabalalisa imali yezibonelelo zikahulumeni.

UBathabile Dlamini ngoMsombuluko uthe iposi lizodinga ezinye izinkampani ukuthi zifake isandla ekukhokhweni kwemali yezibonelelo zikahulumeni uma sekuphela inkontileka yeCash Paymaster Services (CPS).

Isikhulu esiphezulu seSapo, uMnuz Mark Barnes, sikuchithile lokhu sikhuluma namalungu ePhalamende ngoLwesibili. 

"Sithole esinye isisombululo futhi siyakuphikisa lokho, sikulungele ukwenza lomsebenzi," kusho uBarnes. 

UBarnes uthe kungamampunge ukuthi le nkampani ngeke ikwazi ukukhiqiza amakhadi angu-4.2 million adingekayo minyaka yonke. 

"Sizokwazi ukukhiqiza amakhadi angu-2 million emasontweni angu-8. Ngemuva kwalokho sizokhipha angu-2 million njalo emasontweni amathathu," kuchaza uBarnes. 

UBarnes uthe iPost Bank, okuyibhange elingaphansi kwePost Office elibalwa namabhanga angu-7 amakhulu kuleli, lizokwazi ukwenza umsebenzi wokukhokhela abantu imali yezibonelelo zikahulumeni. 

Amalungu ePhalamende azwakalise ukunengeka ngokuthi iSassa nePost Office abakasitholi isivumelwano ngokusatshalaliswa kwale mali uma sekuphela inkontileka yeCash Paymaster Services (CPS) ebiyenza lo msebenzi. 

Amanye amalungu athe lolu daba sekuzomele ludluliselwe kwikomidi lekhabhinethe. 


African News Agency

Indoda ishe yangqongqa emjondolo

$
0
0
KUSOLWA ukuthi uzunywe wubuthongo engasicishanga isitofu owesilisa oshe wawumlotha emjondolo wakhe eNewlands West izolo ezintatha.

UMnuz Lizwi Deyi (28), odabuka eMbizana e-Eastern Cape, kuthiwa ubehlala yedwa kulo mjondolo oseRiverdene khona eNewlands. Isidumbu sakhe sitholwe singumlotha izolo kanti kusolwa ukuthi umlilo uqale entathakusa ezunywe wubuthongo.

UNksz Gugu Zulu, oyikhansela kule ndawo, uthe uvuswe ngomakhelwane bakamufi bemshayela ucingo ngezithuba zabo 5.30 ekuseni.

“Omakhelwane bathe babonile sengathi kuyasha emjondolo ekuseni kakhulu kodwa bebengazi ukuthi kukhona umuntu ngaphakathi. Isihlobo sikamufi esikhulume naso, sithe ubekade ehlukane naso efuna ukuyofudumeza ukudla. Yingakho kusolwa ukuthi ukhohlwe wukucisha isitofu sikagesi kwase kuyasha,” kusho uNksz Zulu.

Uthe kushe yonke into ebisendlini, bese kubonakala kuphela amabhodwe nezinsimbi zombhede.

UNksz Zulu uthe usizwe ngamalungu ekomiti le-wadi bashayela imoto yezidumbu esheshe yafika.

Ngesikhathi sokuloba besingatholakali isihlobo sikamufi uNksz Beatrice Zulu. Obambe ucingo lukaNksz Zulu uveze ukuthi usemsebenzini. Kuthiwa kuthunywe yena ukuthi abikele umndeni kamufi oseMbizana ngalo monakalo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe umufi ushonele emjondolo wamapulangwe.

“Kuvulwe idokodo lokufa komuntu emuva kokuba eshe esemjondolo. Icala liphenywa ngamaphoyisa aseNewlands West. Akwaziwa ukuthi yini equbule umlilo,” kusho uCaptain Gwala.

Kusolwa udlame lwemboni yamatekisi kushona abangu-10 eMnambithi

$
0
0

KUSOLWA umbango wemizila phakathi kososeshini kushona abantu abangu-10 ngoLwesibili ekuseni emgwaqeni onguthelawayela u-N11, eMnambithi. Kulesi sigameko kudustshulwe usomatekisi oyiphini lika sihlalo weKlipriver Taxi Association nonogada bakhe abane bashona.

Imoto abebehamba ngayo kuthiwa iphaphalazile ngemuva kokudutshulwa komshayeli yashayisa itekisi ethwala othisha kwashona abahlanu. Abanye abalimalile baphutunyiswe esibhedlela esiseduzane.

Okwamanje akukatholakali ukuthi othisha abashonile bafundisa kuziphi izikole.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumaniswa koMphakathi, uMnuz Kwanele Ncalane, uthe umnyango ubusuwazi ngokungaboni ngasolinye phakathi kososeshini ababili kule ndawo.

Uthe kwahlanganwa nabo ngesonto eledlule ukuzama ukuthola isisombululo.

“Isimo bese sibucayi phakathi kwalabo soseshini, yingakho kwadingeka ukuthi ungqongoshe uMnuz Mxolisi Kaunda ahlangane nabo ngesonto eledlule ukuze kutholwe isisombululo. Ngemuva kokudutshulwa kwabantu sizobathathela izinyathelo labo abathintekayo. Amaphoyisa azokwenza uphenyo ngalokhu thina sizobe sixhumana nososeshini abathintekayo,” kusho uNcalane.

Okhulumela iSA Taxi Council, uMnuz Sithembiso Duma uthe basalinde ukuthola imininingwano kososeshini bendawo ngalolu daba ngaphambi kokuthi bakuqinisekise noma bakuchithe ukuthi lolu daba luthinta imboni yamatekisi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe kuvulwe idokodo lokubulawa kwabantu abahlanu, nelokubulala ngokungenhloso esiteshini samaphoyosa e-Elandslaagte, eMnambithi. Uthe leli dokodo lizodluliselwa uphiko oluphenya ngamacala athinta imboni yamatekisi esifundazweni.

Isolezwe

Imizamo yokuxazulula eyokugcwala emadolobheni

$
0
0
IZOQHAMUKA nezixazululo zezinkinga zokugcwala emadolobheni ingqungquthela eqale izolo eThekwini ehlanganise izinhlaka ezehlukene kuhulumeni nezizimele.

Ngengqungquthela i-Urban Week, ezophothulwa ngoLwesihlanu eMoses Mabhida, kuhloswe ukudingida zonke izinto ezithinta ukuthuthukiswa kwezindawo ezisemadolobheni. Ekhuluma neSolezwe engxoxweni ekhethekile uNksz Kota Fredericks, oyiPhini likaNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu kuzwelonke, uthe bathathe isinqumo sokuba nengqungquthela ngoba bebona izinselelo eziningi.

“Sithathe lesi sinqumo sineminyango eminingi ehlukene ngoba asikwazi ukuzixazulula sisodwa izinkinga ezisemadolobheni. Sinezinhlelo eziningi zokuthuthukisa izindawo ezisemadolobheni yingakho sisebenzisana nezinhlaka ezizimele ukuze kusheshe,” kusho uNksz Fredericks.

Phakathi kokuzodingidwa kule ngqungquthela kubalwa nengwadla yokwanda kwemijondolo ezindaweni ezisemadolobheni. UNksz Fredericks uthe bafuna kushaye * -2030 isinciphile imijondolo emadolobheni.

“Okubalulekile ukuthi abantu abahlala emijondolo basuswe babekwe ezindaweni ezifanele. Uma sixazulula inkinga yemijondolo kumele sibhekele nabokufika nabantulayo. Bangu-61% abantu abahlala emadolobheni, yingakho omasipala bebodwa bengeke bazixazulule izinkinga kodwa sidinga zonke izinhlaka zibambisane,” kusho yena.

Uthe banethemba lokuthi ingqungquthela izophela sebephume nomhlahlandlela ekuxazululeni izinkinga nokuthuthukisa izindawo ezisemadolobheni. Ungqongqoshe uthe bebelindele izithunywa ezingu-150 komasipala nasemadolobheni amancane kodwa izolo kufike abangaphezu kuka-200. Uthe lokhu kukhombisa ukuthi abantu bazimisele ukusebenzisana ukuthuthukisa amadolobha.

Kule ngqungquthela kuzophinde kukhulunywe nangezokuphepha njengoba kuhloswe ukuthi kuncishiswe ubugebengu emadolobheni.

Izolo bekubhekwa isimo somnotho emadolobheni amakhulu namancane kubhekwa nezindlela zokuwuthuthukisa.

Namuhla kuzogujwa iWorld Cities Day lapho kugqugquzelwa ubumbano emadolobheni ehlukene emhlabeni jikelele. Izithunywa ezethamele ingqungquthela zizothola ithuba lokuzungeza idolobha zibone uhlobo lwezokuthutha eThekwini. Kusukela kusasa kuze kushaye uLwesihlanu, kuzoba nenkundla yokucobelelana ye-African Forum on Urban Safety lapho izimeya zamazwe ase-Afrika zizohlomisana ngolwazi nangamasu okwenza amadolobha aphephe. Ezinye izinhlaka ezikule ngqungquthela yiSouth African Cities Network, uMnyango wezokuBusa nokuBambisana nobuHoli boMdabu kuzwelonke, umnyango kaMgcinimafa, uMasipala weTheku izolo obumelwe yiMeya uNkk Zandile Gumede, yiSouth African Local Government Association neSouth African Council for Planners.

Liphume ngebheyili iphini lemeya eliboshelwe elocansi

$
0
0
LIDEDELWE ngebheyili kaR3 000 iPhini leMeya kuMasipala waseBaqulusini, uMnuz Mncedisi Maphisa, ngemuva kokuboshelwa icala lokuhlukumeza ngokocansi.

UMaphisa (30) uvele eNkantolo yeMantshi yaseVryheid izolo ngemuva kokuboshwa ngoLwesihlanu olwedlule wagqunywa impelasonto ezitokisini.

UMaphisa oyikhansela le-IFP kulo masipala usolwa ngokuhlukumeza owesifazane maphakathi nale nyanga.

Kuthiwa umsolwa wagibelisa emotweni yakhe owesifazane, wahamba naye waya ehlathini lapho afika khona wamcela ukuba amncele ubuntu bakhe.

Kuthiwa ummangali wenqaba, ummangalelwa wase eziwotawota yena ubuntu bakhe waze wafika kuvuthondaba.

Kuthiwa ngemuva kokuvulwa kwecala kusukume abalingani bakamsolwa kumasipala nobuholi be-IFP eZululand bezama ukuba angaboshwa kodwa lamshonela ngoLwesihlanu njengoba elale ebaliwe.

Kuthiwa kusukuma abaholi beqembu nje, yingoba uMaphisa akaconsi phansi ngisho ebuholini obuphezulu kwi-IFP okufakazelwa ngukuthi bebefuna abe yimeya eBaqulusini kodwa wagcina ekhale ngaphansi isikhundla sobumeya sathathwa nguMnuz Jerry Sibiya.

Abazazi zonke eze-IFP eZululand bathi uMaphisa wakhaliswa ngaphansi wukuthi kunabaholi abaphuma eceleni bamnyundela ngokuthi alukakaqini ukhakhayi kuyena ngakho ukumfaka kwesobumeya kungaba yiphutha.

Amalungu e-ANCWL eBaqulusini abekanise ngaphandle kwenkantolo izolo efuna ukuzozwa ukuthi lihamba kanjani icala.

USotswebhu we-ANC eBaqulusini, uNkk Maria Mabaso, uthe nakuba kungekho okubambekayo okwamanje ngecala kodwa lezi zinsolo zimbi ikakhulukazi njengoba zibhekene nomholi.

USihlalo we-IFPWB, uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa, uthe umbutho wabo awuhambisani nokuhlunyezwa kwabesifazane, wengeza ngokuthi uma lezi zinsolo ziyiqiniso umsolwa kumele abhekane nomthetho.

Umsolwa uzobuyela enkantolo ngoJanuwari 17 wonyaka ozayo.

I-ANC ihlabe ukusetshenziswa kwefulegi likahulumeni wobandlululo

$
0
0
I-ANC ithi ukugqugquzela inzondo nokucwasa ngokwebala ukusetshenziswaa kwefulegi likahulumeni wobandlulula ngabanye bababhikishi abebeyingxenye yomkhankaso obunguMsombuluko obizwa nge-#BlackMonday obulwisana nokubulawa kwabaholi.

UKhongolose uthe izenzo zalolu hlobo azamukelekile kuhulumeni wentando yeningi.

Izinkulungwane zabalimi ngoMsombuluko zibambe umbhikisho ezingxenyeni ezithile zezwe zikhala ngokubulawa kozakwabo.

"Ubugebengu abukhethi bala, akumele kube ngathi abantu bebala elithile kuphela ababulawayo," kusho i-ANC.

I-ANC inxusa abalimi ukuba bahloniphi impilo yalo lonke uhlobo lwabantu hhayi eyabo kuphela.

Kuzoshayeka abathengi kunyuka uphethroli ngoLwesithathu

$
0
0
UKUNYUKA kukaphethroli kuzoshaya kakhulu abasebenzi nabazali ngesikhathi samaholidi.

Lokhu kushiwo nguMnuz Andre Venter, okhulumela inyunyana i-United Association of South Africa.

Uphethiloli uzonyuka ngo-4 cents, udizili unyuke ngo-26 cents ilitha ngoLwesithathu. 

UVenter uthe ukunyuka kwakamuva kukaphethroli ngenxa yokuntenga kwerandi kuzoshaya kanzima abathengi.

Uthe njengoba kuza amaholidi kaDisemba kusalindelekile ukuthi uphethroli uphinde unyuke futhi. 

Inhlangano i-Automobile Association isivele ishilo ukuthi abathengi nabashayeli kumele babophe izifociya bangaxhaphazi imali noma yikanjani ngamaholidi.

UVenter uthe abazali bezingane ezifundayo kumele bayiphathe kahle imali ngoba uma kuqala unyaka u-2018 kumele bathenge inyufomu yesikole nezinye izidingo.

Unxuse abasebenzi ukuthi baqikelele ukuthi abangeni ezikweletini. 

Balinde amahora befuna ukhiye womuzi komunye wabafile

$
0
0
UMNDENI kathisha ofe kwabangu-11 beya esikoleni ulinde amahora endaweni yesehlo ukuze uthathe ukhiye wemoto nowokuvula endlini kwazise izingane zakhe bezisele dengwane.

UNksz Bonisiwe Ziqubu ungomunye wothisha ababhubhe eMnambithi ngoLwesithathu.

Ubefundisa eMatiwane Primary.

Njalo ekuseni ubepaka imoto yakhe edolobheni eMnambithi bese egibela itekisi ethwala abanye othisha.

Ntambama ubebuya athathe imoto yakhe bese elanda ingane yakhe nomzukulu wakhe esikoleni.

Nayizolo usuku lwakhe luqale njengokujwayelekile kodwa akabange esafika esikoleni, nezingane zakhe zamlinda engasafiki.

Isolezwe lifice amalungu omndeni elindile ukuze athathe ukhiye wemoto nowasendlini lapho kwehle khona ingozi.

Ilungu lomndeni, uMnuz Sandile Ziqubu, lithe ngenxa yokuthi awukho omunye ukhiye wemoto nowasendlini bekuphoqa ukuba balinde endaweni yesehlo.

“Ngifike ngo-12 lapha emuva kokushayelwa ucingo ngitshelwa ngengozi.

“Sitshelwe ukuthi ukwabangu-6 abashonile. Asivumelekile ukubabona noma ukusondela eduze kwezidumbu.

“Ukhiye siyawudinga ngoba imoto imile edolobheni lapho abeyipaka khona nokhiye wasendlini ubuhlala kuyena.

“Siphithene amakhanda ngalesi sigameko,” kusho uZiqubu.

Kule ngozi kushone othisha abayisithupha, abavela ezikoleni ezimbili eMatiwane Primary naseMasoyi Secondary.

Abahlaseli kuthiwa ngesikhathi iveni ishayisana netekisi, basondele eduze baqhubeka badubula.

Indawo okwenzeke kuyo lesi sehlo iyihlathi elinomgwaqo oyijika.

Isolezwe litshelwe ukuthi amatekisi abengabonwa erenki yaseDriefontein, kuthiwa abashayeli bamatekisi bathole ama-sms ebasabisa ngokuthi bangawathinti amatekisi uma befuna ukuphila.

Lokhu akuzange kuqinisekiswe wusoseshini noma amaphoyisa.

Abakasoseshini kabazange batholakale izolo ukuze baphawule ngokwenzekile.

Isimo simanzonzo kule ndawo njengoba edolobheni eMnambithi bekukhulunywa ngalolu daba, kukhalwa ngesihluku okubulewe ngaso abashonile.

Kuphazamiseke ukufunda ezikoleni kufa othisha abayisithupha

$
0
0
KUPHAZAMISEKE ukufunda, kwaqhuma nesililo ezikoleni ezimbili kubhubha othisha abayisithupha ngesikhathi kuhlaselwa usomatekisi nonogada bakhe abane izolo eMatiwane ngaphandle kwaseMnambithi.

UMnuz Muzikayifani Ngobese obeyiPhini likaSihlalo kusoseshini iKlipriver ufele endaweni yesigameko nonogada bakhe abane okuthiwa bebemlande ekhaya behamba ngeveni. Kuthiwa kuvuke iqulu labantu ehlathini lavulela ngenganono, abanye kuthiwa bebehamba ngezimoto ezimbili.

Kusolwa umbango wezikhundla nemizila ngokuhlaselwa kwalo somatekisi. Ngemuva kokudutshulwa kuthiwa iveni ebelizama ukubalekela abahlaseli liphaphalazile latholana phezulu netekisi elithwala othisha baseMatiwane Primary naseMasoyi Secondary. Othisha abahlanu bafele endaweni yesehlakalo kwathi oyedwa kwamenela esibhedlela.

Lesi sigameko senzeke ngo-7 ekuseni, kuthiwa akubange kusafundwa eMatiwane kuqhuma isililo nabafundi basala dengwane njengoba othisha begcine bengafikanga. EMasoyi abafundi abebebhala kuthiwa baqhubekile kodwa bese bephazamisekile njengoba nakhona kuthiwa bekuqhuma isililo kwazise abanye bothisha obekumele bababhalise begcine bengafikanga esikoleni.

Umthombo osemnyangweni wezemfundo kodwa ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, uthe kube nzima ukufunda kulezi zikole ezithintekile. “Izingane ziphazamisekile ngoba othisha yibona abafundisayo, ukungafiki kwabo esikoleni ngenxa yale ngozi kusho ukungaqhubeki ngendlela kokufunda. Abanye abangashonanga balimele ngoba bebehamba ngale tekisi ethutha othisha abasuka edolobheni eMnambithi.”Ngesikhathi Isolezwe lifika endaweni yesehlakalo sekudlule amahora angaphezulu kwamahlanu isigameko senzekile, izidumbu bezisakhona, kunamaphoyisa acwaninga indawo yesigameko. Izidumbu zize zathathwa no-5 ntambama kanti kutholakale inqwaba yamagobolondo ezinhlamvu kule ndawo nobekubonaka ukuthi awezinhlokohlela zezibhamu. Bekunzima ukubona kahle okwenzekayo endaweni yesigameko ngoba amaphoyisa abevalile kungelula ukusondela lapho bekulele khona izidumbu. Umgwaqo uMatiwaneskop okwenzeke kuwo isigameko uvalwe amahora amaningi kungadluleki kuwo.

Imindeni yothisha ebifika ithi izobheka izidumbu zezihlobo zayo ibinqatshelwa ukuthi iyozibona kanti bahlale isikhathi eside ezimotweni bengazi ukuthi ngabe yizihlobo zabo yini ezibhubhe kule ngozi. Isililo besilokhu siqhuma phezulu endaweni yesigameko abanye bechiphiza izinyembezi.

UNgqongqoshe wezokuThutha nezokuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Mxolisi Kaunda, usejube abomnyango wakhe ukuthi bangenelele besebenzisa umthetho ukuxazulula impi yamatekisi eholele ekufeni kwalaba bantu. Esitatimendeni, uthe amaphoyisa aseveze ukuthi kusetshenziswe izibhamu eziyinhlokohlela ngesikhathi kudutshulwa.

UNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uMnuz Mthandeni Dlungwane udlulise amazwi enduduzo emindenini.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Thembeka Mbhele uthe baphenya amacala amahlanu okubulala nayisithupha okubulala ngokungenhloso. Akukaboshwa muntu, kusaphenywa.

Isikhulu seNFP sisule eqenjini nge-SMS

$
0
0
USULE eqenjini ngeSMS uSihlalo weNFP eZululand, uMnuz Mpiyakhe Hlatshwayo omemezele ukuthi ubuyela kwi-IFP.

UHlatshwayo owake waba yiMeya yaseZululand evala isikhala esavuleka ngemuva kokuhamba komholi weqembu, uNkk Zanele Magwaza-Msibi, uthumelele abaholi beqembu baseZululand iSMS ebazisa ukuthi useyashiya enhlanganweni.

I-SMS kaHlatshwayo igcine isibhadlazwa ezinkundleni zokuxhumana, uWhatsApp.

Ethintwa izolo, uHlatshwayo ukuqinisekisile ukuthi uyashiya eqenjini kodwa wathi ubengathandi ukuthi le ndaba ikhulunywe emaphepheni engakamazisi ngendlela efanele uNkk Magwaza-Msibi. “Emuva kokuba ngihlole kahle isimo sonke seqembu ikakhulukazi nokuphela komehluko phakathi kwethu ne-ANC ngibone kungcono ukuthi ngesule ubulungu bami kwiNFP. Ngiyaxolisa uma kukhona abahlukumezekayo ngalokho, lesi sinqumo bekunzima ukusithatha kodwa ngibone sifanele.” Uthe usamthanda uNkk Magwaza-Msibi futhi uyohlale emhlonipha. “Esinye isizathu esenze ngashiya wukuthi abantu bazenzela umathanda enhlanganweni bese bethi bathunywe ngumengameli, kunezitatimende eziningi ebezikhishwa kwabezindaba kuthiwe zibhalwe ngumengameli engingakholwa ukuthi lokhu kuyiqiniso ngendlela engimazi ngayo nangendlela akhaliphe ngayo.” Uthe ukhethe ukubuyela kwi-IFP ngoba ekhulele khona futhi ehlonipha nomengameli wayo Inkosi Mangosuthu Buthelezi.

Ibamba likaNobhala-jikelele weNFP, uMnuz Phumlani Zwane, lithe bebengakayitholi incwadi yokwesula kukaHlatshwayo, lengeza ngokuthi nabo bezwe ngokwesula kwakhe ezinkundleni zokuxhumana. “Sizohlangana naye uHlatshwayo lapho silindele khona ukuthi asichazele kabanzi ngalokho esikuzwa ezinkundleni zokuxhumana.” Umholi weNFP eZululand ophinde abe yilungu lesigungu esibhekelele ukusebenza kweqembu, iNational Working Committe (NWC), uMnuz Siphamandla Ntombela uthe abambambele gqubu uHlatshwayo ngokuhamba kwakhe futhi amasango asavulilwe uma efisa ukubuya.

“UHlatshwayo ungomunye wabaholi esisungule nabo iqembu, ngiyacabanga ukuthi yingcindezi ethile edale ukuthi athathe lesi sinqumo,” kusho uNtombela.

Uthe ukungalungeneli ukhetho kweqembu kulimaze impilo yabantu abaningi akade bengamakhansela manje abangasakwazi ukuqhubeka kahle nempilo. “Uma ubhekisisa kahle abantu abagcogcomayo yilabo akade besezikhundleni kodwa amalungu emazingeni aphansi wona ahleli ngoba vele abengazuzi lutho,” kusho uNtombela.

I-DA isola uKaunda ngodlame ematekisini

$
0
0
I-DA isola uNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, namaphoyisa ngokuhudula izinyawo ekulweni nodlame embonini yamatekisi oluholele ekutheni kubhubhe abantu abawu-11 eMnambithi izolo ekuseni.

Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe kubaphatha kabi ukuthi kuze kube manje ukukho ukungenelela okucacile okwenziwa ngamaphoyisa odlameni lwemboni yamatekisi

“Siyazi ukuthi amaphoyisa anethimba lawo eliphenya amacala ahlobene nokwenzeka embonini yamatekisi kodwa iqiniso wukuthi uKaunda uyazivumela ukuthi amaphoyisa abazi ngesimo esishubile embonini kuleya ndawo kodwa kwangenziwa lutho ukugwema ukuthi kubhubhe abantu,” kusho uMncwango.

Uthe ngeke bavume ukuthi iKZN iphenduke inkundla yezinkabi ezihlalisa umphakathi lubhojozi.

USihlalo we-IFP kuzwelonke, uMnuz Blessed Gwala, unxuse ukuba kusungulwe ithimba elikhethekile ukuba liphenye ngesibhicongo.

“Seziningi izigameko lapho kubulawa khona abantu abaningi lapha KwaZulu-Natal. Lesi sihlava sesidinga ukusukunyelwe ngokushesha,” kusho uGwala.

UNobhala we-ANC esifundeni uKhahlamba, uMnuz Sipho Hlomuka, unxuse ukuthi kube nozinzo waphinde wacela uKaunda ukuthi angenelele ngokushesha ukuze kugwemeke ukuchitheka kwegazi.

USihlalo weNFP KwaZulu-Natal, uMnuz Vikizitha Mlotshwa, uthe kubaphatha kabi ukuthi kwenzeke lokhu isifundazwe sisanda kuqokwa njengesinye esinezinga eliphezulu lokubulawa kwabantu.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>