Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Kuzomele zijeziswe izinkampani ezingawulandeli umthetho wokukhipha umsebenzi

$
0
0

AMALUNGU ephalamende acele uMnyango weziMali ukuthi ujezise izinkampani zikahulumeni ezingawulandeli umthetho wokukhipha umsebenzi ikakhulukazi uma kukhulunywa ngamathenda ama-billion. 
Lokhu kuza emuva kokuthi isikhulu esisabambile kwezokukhishwa kwemisebenzi eMnyangweni weziMali uMnuz Willy Mathebula etshele amalungu ephalamende ukuthi baphasise amathenda ezinkampani ezingawulandeni umthetho abiza uR37 billion. 
Uthe i-Eskom iyona ehamba phambili ngokukhipha amathenda ngaphandle kokulandela imithetho ejwayelekile yokukhishwa kwemisebenzi kahulumeni.
Uthe umsebenzi ukhishwa ngaphandle kokulandelwa komthetho uma kunesimo esiphuthumayo. 
UMathebula ubezophendula imithetho imibuzo yamalungu ephalamende ngokungalandelwa kwemithetho ezinkampanini zikahulumeni. 
UMnuz David Maynier we-DA  ubuze ukuthi kungani i-Eskom ikhipha amathenda ngaphandle kokulandela umthetho. 
UMathebula uthe kunzima ukuqonda izizathu eziholela ekutheni izinkampani zigaxabezwe ngamathenda amabillion kwa-Eskom ngoba bebengazibhalanga izizathu zokunikwa kwezinkampani imisebenzi. 
UNkk Thandi Tobias-Pokollo we-ANC futhi onguSihlalo wekomidi lezimali uthe ukumosheka kwamabillion ezinkampanini zikahulumeni kusho ukuthi labo abangawulandeli umthetho kufanele bajeziswe. 
Ilungu leDA uMnuz Alf Lees uthe akamangeli ukuthi i-Eskom ibikhipha umsebenzi ngaphandle kokulandela umthetho kwazise kwenziwa umathanda kuleya nkampani. 
Owayengungqongqoshe wezokuVakasha uMnuz Derek Hanekom uthe umangele ukuthi umnyango wezimali awunalo uhlelo lokuthi kuthathwa ziphi izinyathelo uma inkampani ikhipha umsebenzi ngaphandle kokulandela umthetho. 

IDA imfuna exoskhiwe u-Mkhwebane

$
0
0

IKOMIDI elibhekelele ezomthetho nobulungiswa libonakala selithambisa isandla uma kuza odabeni lokuphenya uMvikeli woMphakathi u-Advocate Busisiwe Mkhwebane.
Lokhu kulandela ukuhlaselwa kwaleli komidi yi-ANC ephalamende naseLuthuli House emuva kokuthi uSihlalo walo uDkt Mathole Motshekga evumile ukuphenya lolu daba. 
Namhlanje i-ANC ithe i-DA isebenzisa leli komidi ukufeza izinhloso zayo ngokuletha izindaba ezingathi shu. 
UMotshekga uthe bakhethe ukuphenya lolu daba emuva kokuthi luthunyelwe kubo nguSomlomo wePhalamende uNksz Baleka Mbete. 
"Izolo asilubhekanga lolu daba ngakho asikwazanga ukubona ukuthi luyinto ekhona noma luyinto engathi shu," kusho uMotshekga. 
USotswebhu we-ANC uMnuz Jackson Mthembu uthe ukuphenywa kuka-Advocate Mkhwebane ngumkhankaso ongathi shu we-DA. 
Wesekwe ngumkhulumeli we-ANC uMnuz Zizi Kodwa osole iDA  ngokusukela u-Advocate Mkhwebane. 
UMotshekga uthe bebengakaluxoxi udaba lwecala lukaMkhwebane.
"Sizokwazi ukuphawula ngalo uma sesilubhekile lolu daba. I-ANC nehhovis likasomlomo sebelubhekile yingakho bekwazi ukubeka imibono yabo. I-ANC iyayihlonipha imithetho yephalamende futhi iyazi ukuthi sizolubheka lolu daba," kusho uMotshekga. 
Uthe bazobheka uhlelo lwabo lokusebenza bese bebona ukuthi bazoludingida nini oluka Advocate Mkhwebane. 
Umkhulumeli we-ANC ephalamende uNksz Nonceba Mhlauli uthe bakhathazekile ngeDA  evele isho izinto ezingathi shu ngo-Advocate Mkhwebane. 
"Isicelo se-DA  sokuthi kususwe umvikeli womphakathi esikhundleni asinaso isisindo futhi umthetho uyakucacisa ukuthi umvikeli womphakathi  ususwa uma elahlwe yicala lokungaziphathi kahle," kusho uNksz Mhlauli. 
UKodwa uthe iDA  ingosomathuba abafuna kususwe umvikeli womphakathi ngoba inganeme ngaye.
Uthe uma amaqembu enganeme ngezinqumo zomvikeli womphakathi kufanele asebenzise umthethosisekelo. 

Umsakazi ubulawe wugesi ngemuva kokugubha olokuzalwa

$
0
0
UMSAKAZI wesiteshi somphakathi saseMgungundlovu iKZN Capital 104.5 FM uMfu Thamsanqa ‘Pastor K’ Morris Khanyile ushaywe wugesi washona ekwakhe eSlangspruit ngoLwesithathu ngemuva kokugubha ukuqeda iminyaka engu-50 azalwa. UPastor K obengumfundisi wase7th Day Adventist, ubethi ukhanda ibhakede elinentambo kagesi elaziwa ngokuthi iMini-Gyser kanti uzomshokha.

Inkosikazi yomfowabo kamufi, uNkk Qiniso Khanyile ithe uPastor K ubelungiselela ukuyogeza ngesikhathi ehlelwa yilesi sigameko ngezithuba zabo 7 ekuseni. “Unkosikazi wakhe akamzwanga kodwa umfice esebhuquza phansi, esha. Naye uthe uyamthinta washokheka kwaze kwadingeka ukuba kwehliswe i-main switch kwenye indlu. Bamphuthumise esibhedlela kodwa udokotela wafike wathi akasekho emhlabeni,” kuchaza uNkk Khanyile.

Uthe uPastor K ulale ngayizolo kumnandi ekade egubha usuku lokuzalwa nomndeni wakhe.

Ubesakaza uhlelo lomculo kamaskandi oluthi Sigqashiya Ngezomdabu noMngeniseni ‘Mngeni’ Ndlovu no-Andile ‘Shange’ Buthelezi ngeMgqibelo. Uzakwabo kaPastor Khanyile, uMngeniseni uthe bagqemeke ingozi engeqiwantwala ngokudlula emhlabeni komfundisi ngenxa yeqhaza lakhe. “Ubeyikho konke kithina, efana nobaba. Njengoba siphuma sekuntambama, ubesithatha ngemoto yakhe ayosibeka ezitobhini. Kuningi esikufunde kuyena njengokuphatha kahle umkakhe,” kusho uMngeniseni.

UPastor K ushiye izingane nenkosikazi uNomusa Khanyile.

Esephetha uNkk Khanyile uthe amalungiselelo okufihla umufi abengakaphothulwa.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala usiqinisekisile lesi sigameko.

Uthe bayaphenya ngaso.

Bacijwe ngesiZulu aboKhozi FM

$
0
0
Bafundiswe kabanzi ngokusetshenziswa kolimi lwesiZulu abasakazi besiteshi esihamba phambili kuleli Ukhozi FM.

Abasakazi, abadidiyeli ngisho nabaphathi imbala bebehlangene esikhungweni semfundo ephakeme e-UKZN ophikweni lwayo, i-Howard College izolo. Umphathi siteshi, uMnuz Bonga Mpanza, uthe ukufundiswa kwabo ulimi lwesiZulu kusuke kuyingxenye yokucija abasakazi okuyinto esazoqhubeka.

“Akuyona into entsha ukuqeqeshwa kwabasakazi ngoba phela ulimi sisebenza ngalo kakhulu emsakazweni. Kubalulekile ukuthi sihlale siqinisekisa ukuthi silusebenzisa ngendlela ulimi lwesiZulu,” kusho uMpanza.

UMPHATHI woKhozi FM uBonga Mpanza

Ebuzwa ukuthi ngabe bakwenza lokhu ngoba bethuswe yisikhalo seMbube, uthe bebevele benalo uhlelo lokucija abasakazi ngaphandle kwesikhalo seSilo. Uthe abasithathanga kabi isikhalo seSilo, bayawuhlonipha umbono waso.

Uqinisekise nokuthi izifundo zesiZulu zihlinzekwa yisikhungo i-UKZN emkhakheni wezoLimi.

Umqondisi emkhakheni wezoLimi kulesi sikhungo uDkt Langa Khumalo, uthe kuyintokozo kubona ukubambisana nomsakazo omkhulukazi kuleli, ekuqinisekiseni ukuthi ulimi lwesiZulu lusebenza ngendlela efanele.

Uthe kwabathinta beyisikhungo ukuzwa iSilo sikhalaza ngokusebenza kolimi emsakazweni.

Uthe bayafisa ukuthi ulimi kube yinto ehlala ifundwa ngaso sonke isikhathi ukuze abantu baziqhenye ngolimi lwabo.

“Inhloso yethu ukuthi lokhu kubambisana kungapheli kodwa kube yinto ezohlala yenzeka. Sizobe sibophele ongoti bolimi kulolu hlelo,” kusho uLanga.

Usindise usana obulawe wudonga ngenxa yezikhukhula

$
0
0
KUSHONE elayizolo imibiko iveza ukuthi bangu-11 abantu abashone ngesikhathi kunezikhukhula KwaZulu-Natal.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLiet-Colonel Thulani Zwane, uthe bayisihlanu abantu okusolwa ukuthi bamukile abebesafunwa. Uthe amaphoyisa nethimba lezinhlekelele benza konke ukufuna abasanyamalele.

Kwabashonile kukhona noNksz Sizakele Chala (29) odilikelwe wudonga esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial ngesikhathi ehambise usana lwakhe olunesonto luyohlolwa inkaba.

Kuvele ukuthi uncamele ukusindisa usana lwakhe ngesikhathi ebona ingozi eluphonsa komunye umuntu yena wadilikelwa wudonga washona.

EMshiyeni kushone ababili kwalimala ababili.

Unina omncane kaSizakele omncane, uNkk Ntombikayise Dube (50), uthe umufi uhambe ngemuva kuka-7 ekuseni wathi uzosale esebhalisa nesitifiketi sengane sokuzalwa.

“Sikhathazekile ngesikhathi kuqala imvula enamandla engakabuyi. Angikutholanga ukuphumula ngibona kuhamba isikhathi engabuyi engasatholakali nasocingweni. Ngithumele uyise wengane yakhe wayobheka esibhedlela sathola ucingo lokuthi uSizakele ushone kudilika udonga,” kusho uNkk Dube.

Uthe umufi ukhombise ubuqhawe ephonsa usana komunye obeseduze kwakhe ngesikhathi kudilika udonga. Kuthiwa usana lusele esibhedlela njengoba besahlola ukuthi alulimalanga yini.

UCHAZWE njengeqhawe uNksz Sizakele Chala ophonsele omunye usana lwakhe olunesonto lwasinda, yena wadilikelwa udonga washona esibhedlela ePrince Mshiyeni Memorial. Isithombe: DOCTOR NGCOBO

“Siyile ukuyobona ingane esibhedlela nesidumbu sikaSizakele. Akalimalanga emzimbeni futhi akophanga. Sesizohlala nomndeni sibonisane ngokuthi usana luzohlala nobani,” kusho uNkk Dube.

Isolezwe lifike kusalindwe unina kamufi okuthiwa useZinqoleni, ePort Shepstone lapho kuzongcwatshwa khona.

Udonga uludilikele kuNksz Sizakele Chala eMshiyeni. Isithombe: DOCTOR NGCOBO

Umufi ushiye indodana eneminyaka eyisishiyagalolunye kanti ubesanda kuphothula izifundo zeHome Based Care. Kwesinye isehlakalo kushone umfundi oneminyaka engu-14 omuke ebhulohweni ebeligcwele amanzi. UNomthandazo Chili obefunda uGrade 9 eNdaye High eFolweni kuthiwa ubehamba nabanye abafundi ngesikhathi emuka namanzi ebhulohweni abebehamba kulo.

Kushone nowesifazane okuthiwa ubengumsebenzi wakwaMasipala weTheku obehlanza amathoyilethi emgwaqweni uRussel. Kuthiwa uwelwe wudonga wacindezeleka washona.

UNksz Sthabile Ngema nendodana yakhe eneminyaka emibili bashone ngesikhathi kumuka umjondolo wesoka lakhe abebelivakashele ngakwaJeena, eSiphingo.

UNksz Ngema ohlala eTshelimnyama kuthiwa bekumele ahambe ngoLwesibili kodwa wabona izulu lilibi wahlala kanti umjondolo kayise wengane yakhe uzokhukhulwa ngamanzi bephakathi.

UNkk Nobesuthu Mbuthu uthe uNksz Ngema ubaleke wangena emjondolo ngesikhathi ebona umjondolo wesoka lakhe ugcwala amanzi bavala kodwa babona amanzi esengaphakathi.

“Ngaleso sikhathi ingane ibiphethwe yimina. Kuthe sekusuka ihlangothi lwesibili, kwakhukhuleka umbhede ebengihleli kuwo wathi angimnike ingane. Angazi ukuthi kwenzekeni nami ngiphushwe ngamanzi ngayophonseka ethoyilethi. Umbhede ebengihleli kuwo angazi ukuthi umuke nini. Amanzi angiphushele ethoyilethi, ngabambeka phakathi kwethoyilethi ne-wardrobe. Ngithe uma ngiphakamisa amehlo ngambona ekhukhuleka eyoshona emhosheni, engasayiphethe ingane,” kusho uNksz Mbuthu.

Isidumbu sikaNksz Ngema nesengane zitholakale ngokwehlukana emhosheni, ngoLwesibili ntambama.

Umndeni wakwaMaphumulo eSiphingo izolo ubusathungatha uNkk Nompumelelo Maphumulo olahleke nezingane zakhe ezimbili okusolwa ukuthi umuke nomfula ophambi komuzi wakhe.

Abantu abangu-314 abakhahlanyezwe yizikhukhula eMega Village eLamontville bakhoseliswe ehholo eTehuis kanti sekunezinhlangano ezibanikelela ngokudla nezingubo zokulala.

Kutholwe ikhanda lowesifazane esigangeni

$
0
0
USHAQEKILE umphakathi wakwaNjobokazi, eHammarsdale ngemuva kokutholwa kwekhanda lowesifazane ongaziwa esigangeni, ngoLwesithathu emini.

Kuthiwa leli khanda litholwe ngabo-12 emini ilungu lomphakathi ebelizihambela kanti isidumbu salo kushone elayizolo singakatholakali.

Isolezwe lithole ukuthi amaphoyisa ophiko lwezinja, iK9 afike endaweni okutholwe kuyo ikhanda ezobheka isidumbu kodwa kuze kwashaya intambama singakatholakali.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi kutholwe ikhanda lowesifazane elingaziwa kule ndawo kodwa uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka. “Ngo-12 namhlanje (izolo) kutholwe ikhanda lowesifazane iminyaka yakhe elinganiselwa kwengu-30. Leli khanda alaziwa okwamanje ukuthi ngelikabani kodwa kunophenyo oluqhubekayo. Amaphoyisa asebenza ngezinja aphuthume kule ndawo ukuyobheka isidumbu kodwa besingakatholakali,” kusho uGwala.

Isolezwe lithole ngozifikele mathupha endaweni okutholwe kulo ikhanda ukuthi umphakathi uthukile ngokutholwa kwalo ngoba akwaziwa ukuthi ngelikabani.

“Ikhanda litholwe ngasesitolo sakwaShabalala manje asazi noma elomuntu wakule ndawo noma umuntu unqunywe kwenye indawo kwase kuzobekwa ikhanda lakhe endaweni yethu yini. Sithukile ngoba kungenzeka ukuthi kunomuntu oshumpula amakhanda endaweni. Sisengozini. Sifuna amaphoyisa aphenyisise ngalesi sigameko,” kusho umthombo.

Uthe akakwazanga ukubona kahle okuningi ngoba amaphoyisa abengasavumi ukuthi basondele lapho litholwe khona.

Khonamanjalo, uCaptain Gwala uveze ukuthi eNtshongweni, izolo kutholwe isidumbu somuntu ngabo-2 ntambama sifakwe epayipini.

Ngezithuba zantambama izolo, uCaptain Gwala uthe isidumbu besingakakhishwa epayiphini ukuze kubonakale ukuthi ngesomuntu wesilisa noma wesifazane yini.

Uthe bekungakacaci noma lezi zigameko zihlobene yini ngoba kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa esematasa kuzo zombili izindawo zezigameko.

Amaphoyisa anxuse abangaba nolwazi olungasiza ekutheni kutholwe umndeni wowesifazane okutholwe ikhanda lakhe noma abathintekayo kulesi sigameko ukuthi baxhumane nanoma yisiphi isiteshi samaphoyisa esiseduze.

Uneke amahlazo ngeHarry Gwala obesondelene noMagaqa

$
0
0

UGEQE amagula ngenkohlakalo kamasipala baseHarry Gwala omunye wabangani wowayenguNobhala wophiko lwentsha kwi-ANC kuzwelonke uMnuz Sindiso Magaqa, uMnuz Thabiso Zulu, othi amanye amakhansela aboshelwa ukudla imali yesondlo sabantwana emnyangweni wezenhlalakahle ekubeni ehola imali enkulu. 

UZulu uveze namahlazo esinye sezikhulu ze-ANC kulesi sifunda, esadlwengula owabesifazane owayefuna ukuba yikhansela kodwa wangathi vu ngoba esaba ukuthi ngeke asithole isikhundla. Uthe lo wesifazane ambize ngegama wamhlebela ukuthi uyasaba ukuvula icala noma ambike lo mholi ngoba wayezolahlekelwa isinkwa, izingane zakhe zilambe.

“Ngathuka engitshela ukuthi udlwenguliwe. Isikhulu sangena egunjini lakhe ehhotela samdlwengula. Ngalubika udaba kwezinye izikhulu ze-ANC eHarry Gwala kodwa akwenzekanga lutho, ngajika ngaba mubi,” kusho uZulu.

Uthe idliwa bume imali emkhandlwini engaphansi kwalesi sifunda.

“Imali idliwa bume, kunesisebenzi esafakelwa u-R200 000 okwathiwa asiyowukhipha sinike isikhulu esithile sikamasipala. Ngakusasa kwafakwa enye imali engaphezulu kuka-R100 000, kathiwa awunikwe ikhansela elithile, imali iyadliwa bese sihlaba umkhosi ngayo kodwa izinto zihambe kancane. Umsebenzi uhola * -R10 000 ngenyanga kodwa kufakwa imali engaka, nebhange alibuzi ukuthi kungani ethole imali engaka izinsuku zilandelana ngoba kwabona abasebenzi basemabhange bakhohlakele,” kusho uZulu.

Ukusho lokhu efakaza kwikhomishini ephenya ngokubulawa kosopolitiki iMoerane eThekwini.

Uthe inkohlakalo ubeyibika kuzona zonke izinhlaka, kuhulumeni, kwi-ANC nakumvikeli womphakathi imbala.

“Okubuhlungu wukuthi amakhansela aboshwa ngoba eqole imali kahulumeni yakwa-Sassa, abuyela emsebenzini. Indaba yawo yake yakhulunywa ebuholini obuphezulu be-ANC esifundazweni. Elinye lalawa makhansela lalihamba nge-Rav 4, lihola enhle imali litamuza nemali kahulumeni,” kusho uZulu.

Uthe amaphoyisa ayenzelela uma kungamacala athinta abezepolitiki.

“Amanye awo adla ngosopolitiki, ahluleke ukubabopha. Elinye laphenya, kwaphela izinyanga eziyisithupha labuya lathi kumele sihlanganise imali ukuze imantshi izosheshisa. Samane saphela amandla ngalolo phenyo,” kusho uZulu.

Uthe kudingeka kuhlolwe abazoba yizimenenja zomasipala ngoba kukhona enye eyaqashwa inamacala okudla imali. UZulu uzoqhubeka nobufakazi namhlanje lapho kulindeleke ukuthi akhulume ngomkhonyovu wokulungiswa kabusha kwehholo laseMzimkhulu, uMagaqa ayeshaya amakhala ngakho ekhala ngenkohlakalo.

Usengumdikoni ebandleni owayekwiBucs

$
0
0
OWAYENGUMDLALI we-Orlando Pirates uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni uthi usegijima nezwi leNkosi njengoba esanda kuqokelwa kwesokuba umdikoni e- Church of God and Saints of Christ.

Lo mdlali onesikhashana ethathe umhlalaphansi ebholeni elikhokhelayo ubevele eyilungu lebandla. Uthe ukuba nesikhathi esanele esekhaya yikhona okumenze wakwazi ukuba mningi ebandleni njengoba esenikezwa nemisebenzi.

“Impela ngiyidikoni ebandleni futhi ngigxilile esontweni. Ebandleni bengivele ngikhonza kodwa isikhathi bengingasitholi kahle ngenxa yokudlala ibhola. Manje sengiyakwazi ukwenza imisebenzi yebandla, ngikhulume nabantu abasha ngiphinde ngigqugquzele ebandleni,” kusho uSangweni.

Uthe kumanje yena ubhekelele ulusha ukuba aluluse.

“Ngigxila kakhulu ekwaluseni intsha yebandla, ngiyiphe iziyalo futhi ngethule nezinkulumo ezakhayo kuyona. Ngiyabatshela ukuthi isonto libalulekile, liyakulawula likuqondise nasendleleni, lisifundise nomthetho. Kwelethu ibandla kusuka kusonto sikole siyafundiswa ngokuziphatha. Singabantu siyawenza amaphutha kodwa ukusondela kuNkulunkulu kuyasisiza ukuba sibuyisane naye,” kusho uSangweni.

UMnuz Lwazi Mkhabela obhekelele amakwaya ebandleni, uthe bayaziqhenya ngokuba nomdikoni ofana noSangweni.

“Kusuka ngePhasika ukwazile ukugqoka umfaniswano webandla aphelele, yize ebeyilungu lebandla iminyaka. Isikhathi esiningi ubematasa nebhola manje sesiyakwazi ukuba naye ebandleni njalo njengoba uma uyidikoni usondelene kakhulu nomfundisi, uma engekho nje umfundisi uyacelwa nokuba uphathe inkonzo, ushumayele,” kusho uMkhabela.

USangweni ungomunye wabadikoni begatsha lakwaMbonambi.

Uthe abantu abasha bebandla bayagqugquzeleka ukubona lesi sihlabani siyingxenye yabo.

“Ngaphandle kokwenza imisebenzi yebandla uzithobe ngendlela emangalisayo. Uma kwenzeka sinezinkonzo ezinkulu uma sekuphakelwa abantu ushiya phansi umfaniswano nesikhundla naye alekelele ukuba kuphakelwe abantu,” kusho uMkhabela.

USangweni ubenebandla ngeledlule impelasonto yonke ngesikhathi kunomcimbi wokugcoba uMnuz Lindokuhle Patrick Bhekabathembu Mthembu esikhundleni sokuba uMbhishobhi omkhulu webandla.


Isexwayiso ngomoya onamandla nemvula eThekwini

$
0
0
UMASIPALA weTheku usukhiphe isixwayiso ngomoya onamandla ohambisana namakhaza ozohlasela kuleli dolobha namhlanje ntambama kuze kube ikusasa ekuseni.
Lo moya kulindeleke ukuthi udlulele olwandle ngaseningizimu nesifundazwe. Umoya uzobe uhamba ngesivinini esilinganiselwa ku-58 kilometres ngehora.
Ngaphandle komoya kulindeleke nemvula enamandla ntambama.
Abahlali, ikakhulukazi abasemjondolo, bayanxuswa ukuthi bathole indawo ephephile abangafihla kuyo amakhanda ngoba lo moya ungase wenze umonakalo.
Abantu banxuswa ukuthi baqaphele futhi bahlale ezindlini. 
UMasipala uthe izakhamuzi ziyanxuswa ukuthi zishayele inombolo yophiko lwezinhlekelele ku-031 361 0000 uma kunezimo eziphuthumayo.

IDA imfuna exoshiwe uMkhwebane

$
0
0
IKOMIDI elibhekelele ezomthetho nobulungiswa libonakala selithambisa isandla uma kuza odabeni lokuphenya uMvikeli woMphakathi u-Advocate Busisiwe Mkhwebane.

Lokhu kulandela ukuhlaselwa kwaleli komidi yi-ANC ephalamende naseLuthuli House emuva kokuthi uSihlalo walo uDkt Mathole Motshekga evumile ukuphenya lolu daba.
 
Namhlanje i-ANC ithe i-DA isebenzisa leli komidi ukufeza izinhloso zayo ngokuletha izindaba ezingathi shu. 
UMotshekga uthe bakhethe ukuphenya lolu daba emuva kokuthi luthunyelwe kubo nguSomlomo wePhalamende uNksz Baleka Mbete. 
"Izolo asilubhekanga lolu daba ngakho asikwazanga ukubona ukuthi luyinto ekhona noma luyinto engathi shu," kusho uMotshekga. 

USotswebhu we-ANC uMnuz Jackson Mthembu uthe ukuphenywa kuka-Advocate Mkhwebane ngumkhankaso ongathi shu we-DA. 
Wesekwe ngumkhulumeli we-ANC uMnuz Zizi Kodwa osole iDA  ngokusukela u-Advocate Mkhwebane. 
UMotshekga uthe bebengakaluxoxi udaba lwecala lukaMkhwebane.

"Sizokwazi ukuphawula ngalo uma sesilubhekile lolu daba. I-ANC nehhovis likasomlomo sebelubhekile yingakho bekwazi ukubeka imibono yabo. I-ANC iyayihlonipha imithetho yephalamende futhi iyazi ukuthi sizolubheka lolu daba," kusho uMotshekga. 

Uthe bazobheka uhlelo lwabo lokusebenza bese bebona ukuthi bazoludingida nini oluka Advocate Mkhwebane. 

Umkhulumeli we-ANC ephalamende uNksz Nonceba Mhlauli uthe bakhathazekile ngeDA  evele isho izinto ezingathi shu ngo-Advocate Mkhwebane. 
"Isicelo se-DA  sokuthi kususwe umvikeli womphakathi esikhundleni asinaso isisindo futhi umthetho uyakucacisa ukuthi umvikeli womphakathi  ususwa uma elahlwe yicala lokungaziphathi kahle," kusho uNksz Mhlauli. 

UKodwa uthe iDA  ingosomathuba abafuna kususwe umvikeli womphakathi ngoba inganeme ngaye.
Uthe uma amaqembu enganeme ngezinqumo zomvikeli womphakathi kufanele asebenzise umthethosisekelo. 

Umasipala weTheku ulungisa inkinga kagesi edalwe yimvula

$
0
0

UMASIPALA weTheku uthi umatasa wenza konke okusemandleni ukulungisa inkinga yokunqamuka kukagesi ezindaweni ezakhele leli dolobha ngemuva kwemvula enamandla edale izikhukhula ngoLwesibili.


Umasipala uthi uthole izikhalo ezibalelwa ku-1789 ngokunqamuka kukagesi ezindaweni ezihlukene.


Esitatimendeni esikhishwe izolo, umasipala uthe uqale ngezindawo ezishayeke ngendlela engabeka izimpilo zabantu engcupheni okuwe kuzo izigxobo nezintambo zikagesi.


“Njengamanje isibalo sezindawo ezithikamezekile sesikwazile ukusehlisa sasibeka ku-4, sisuka ku-18. Izindawo ezisazolungiswa yiMawoti, Phoenix, Folweni naseZwelibomvu. Abasebenzi bethu basebenze ngokuzikhandla ukuze babuyise ugesi kwezinye zalezi zindawo,” kusho okhululema uMasipala weTheku, uNksz Tozi Mthethwa.



Umphakathi ucelwa ukuthi uthumelele imiqhafazo, ama-email noma basebenzise i-website yakwamasipala ukubika ngezinkinga ezikhona njengoba sisaphezulu isibalo sezingcingo ezingenayo.


Abantu bangathumela imiyalezo ku -083 700 0819, i-email bangayithumela ku-custocare@elec.durban.gov.za noma baxhumane nomasipala kwiwebsite ethi www.durban.gov.za. Abanezinkinga zokuxhumana nomasipala ngale ndlela bangashayela ku- 080 1313 111.


Abantu ababhekene nezimo eziphuthumayo bacelwe ukuthi bathinte uphiko labezimo eziphuthumayo ku-031 361 0000.


Bazobanjelwa imali othisha abazomasha kusasa

$
0
0
UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi othisha abazoshiya abafundi bangenele imashi yeSadtu ngoLwesihlanu bazobanjelwa imali.
UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqoshe wezemfundo esifundazweni, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe le mashi izophazamisa abafundi abazobhala umatric ezinsukwini ezingu-10 ezizayo.

Uthe bazoqhubeka baxoxe neSadtu kodwa bazoyibamba imali.

"Simile ekutheni sizosebenzisa uhlelo lokuthi ongasebenzanga ngeke ahole. Siyabona iSadtu ibamba imashi sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuba kubhalwe."  
Uthe babalelwa ku-198 000 abafundi abazobhala izivivinyo eziqala ngo-Okthoba 16 kuya kuNovemba 28.

 ISadtu izomashela lo mnyango eThekwini ikhala ngezinto eziningi okubalwa ukushoda kwengqalasizinda, ukungaqashwa kwabasebenzi, uhlelo lokususwa kothisha minyaka yonke bayiswe kwezinye izikole, izikole ezingayitholile imali kuze kube yimanje nenkohlakalo emnyangweni.

UMthethwa uthe odabeni lwemali ezikoleni, bathola ukuthi umfundi oyedwa igama lakhe livela ezikoleni ezimbili ngakho banquma ukuthi bazosebenzisa izinombolo zama-ID ukwaba mali.

Uthe uma inombolo ingekho kumele benze incwadi efungelwe ukuze kungatshalwa imali kabili.
" Odabeni lwengqalasizinda sidinga u-R44 billon ukubhekana nayo ekubeni imali yayo ingu-R2.4 billion. Uhlelo lokwaba ingqalasizinda lwenzeka njalo ngonyaka ngakho ukuhlaselwa kwezikole yisichotho nezimvula kubeka umthwalo endabeni yezinsiza ngoba kusenza singakwazi ukugxila kulokhu esisuke sikuhlelile," kusho uMthethwa.

Uthe endabeni yokwehliswa kwamakhilomitha kunenkinga yesabelo esehliswayo njalo noma beya kumgcinimafa bayachithwa ukuze bathole imali ethe xaxa.

ISadtu ithe iyazi umnyango uzobamba imali kodwa imashi iyaqhubeka ngoba kukaningi behambisa izikhalo kodwa kungenzeki lutho.

UNgqongqoshe weziMali uyochaza ngesimo sepolitiki phesheya

$
0
0


UNGQONGQOSHE weziMali uMnuz Malusi Gigaba uzohlangana nezinhlangano eziklelisa amazwe ngokomnotho eWashington DC kuleli sonto, ukuze ehlise amaphaphu kubo ngesimo sepolitiki eNingizimu Afrika. 

Lokhu kuza emuva kokuthi uGigaba ecele iPublic Investment Corporation (PIC) ukuthi iveze lapho itshale khona imali yayo.

Abanye bakholwa wukuthi lokhu yimizamo yokuxosha isikhulu sePIC uDkt Dan Matjila. 

Kunezinsolo zokuthi uhulumeni ufuna ukusebenzisa u-R1.9 trillion ukutakula izinkampani zikahulumeni ezicwile ezikweletini.

Izinyunyana zabasebenzi zikugxekile lokhu kanti uGigaba uthe alukho uhlelo lokuthatha impesheni yabasebenzi ukutakula izinkampani zikahulumeni. 

UGigaba noMqondisi Jikelele wakhe uMnuz Dondo Mogajane bazohola ithimba laseNingizimu Afrika elisemhlanganweni we-International Monetary Fund (IMF) oqala namhlanje uphele ngeSonto. 

UGigaba, uMogajane noMphathi weBhange loMbuso uMnuz Lesetja Kganyago bazohlangana nezinhlangano eziklelisa amazwe ngokomnotho nabatshalizimali. 

"Kubalulekile ukuthi sixoxisane nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ikakhulukazi abatshalizimali. Kufanele sichaze ngesimo sepolitiki, sizibophezele ekuqinisekiseni ukuthi imali yabatshalizimali iphephile nokuthi sizowuthuthukisa umnotho," kusho abomnyango wezimali esitatimendeni. 

UGigaba uzophinde ahlangane nabaphathi beWorld Bank ngenhloso yokuqinisa ubudlelwabo beNingizimu Afrika naleli bhange kanti kuzophinde kube nemihlangano ephakathi kweNingizimu Afrika, Angola neNigeria. 

Ungqongqoshe wezokuXhumana welule izinkontileka zabasebenzi

$
0
0
UNGQONGQOSHE wezokuXhumana uNkk Ayanda Dlodlo welule izinkontileka zezikhulu ezisabambile enhlanganweni yezokusakaza kuleli iSouth African Broadcasting Corporation (SABC),okuhlanganisa neyesikhulu sezimali esisabambile kuze kuqashwe abantu ngokuphelele.
Lokhu kuza emuva kokuthi kusalindwe uMengameli Jacob Zuma ukuthi aphasise amalungu ebhodi lakwaSABC akade efake izicelo zomsebenzi emuva kokuphela kwenkontileka yamalungu ebhodi lesikhashana ephele ngoSepthemba. 
Amalungu ephalamende aqede ukuvivinya abacele umsebenzi kwaSABC ngesonto eledlule. 
UDlodlo uthe bakhethe ukwelula izinkontileka zikaNkk Nomsa Philiso, uNkk Bassie Tugwana, uNkk Thabile Dlamini obekulindeleke ukuthi izinkontileka zabo ziphelelwe yisikhathi izolo ebusuku.
"Ngithemba ukuthi lokhu kuzoletha uzinzo kwaSABC kuqinisekise ukuthi isimo sihlala sisihle kuze kufike ibhodi elisha," kusho uNkk Dlodlo esitatimendeni. 

UMshana kaTimol uthi basazoqhubeka nokulwisana nabenzi bobubi

$
0
0

SIZOQHUBEKA  nokulwela ubulungiswa kubantu ababulawa ngamaphoyisa obandlululo njengoba senzile kumalume. 
Lawa ngamazwi kamshana wesishoshovu sobandlululo uMnuz Imtiaz Cajee owashonelwa ngumalume wakhe uMnuz Ahmed Timol okutholakale ukuthi wabulawa ngamaphoyisa obandlululo ngesikhathi esezitokisini zejele iJohn Voster Square eseyibizwa ngeJohnnesburgh Central, eGoli. 
UCajee uthe kudala babezama ukuthola ubulungiswa ngokubulawa kukamalume wakhe kwazise baqala ngo-2002 bethinta abophiko lwezokushushiswa kwamacala omphakathi iNational Prosecuting Authority (NPA) baze babhala incwadi ngo-2005. 
Uthe bayajabula ngesinqumo senkantolo futhi bazoqhubeka ukulwela ubulungiswa ukuze bonke abafelwa yizihlobo ngezikhathi zobandlululo baphole.
"Safaka icala amaphoyisa obandlululo esaphila futhi enesikhathi esanele sokuthi akhiphe ubufakazi kodwa awazange akwenze lokho. Siyajabula ukuthi sibutholile ubulungiswa ekugcineni nomalume uzophumula ngokuthula," kusho uCajee. 
UMnuz Alex Mashilo okhulumela i-SACP uthe isinqumo senkantolo siqinisekisa lokho i-SACP ebikholelwa yikho ukuthi uTimol owayeyilungu layo wabulawa amaphoyisa obandlululo.
"Iqiniso selihleli obala ngoba sasivele sisho ukuthi uTimol wabulawa ngamaphoyisa obandlululo. Ababulali bakhe kufanele bajeziswe ngokulandela umthetho," kusho uMashilo. 
Uthe bazoqhubeka nokweseka umndeni kaTimol ofuna kube nobulungiswa kubo bonke abagilwa bobandlululo. 
UJaji Billy Mothle uthe uTimol owatholwa eseshonile ngo-1971 emuva kokuwa esiteshi sika-10 esiteshini samaphoyisa iJohn Voster Square akazange azibulale. 
"UTimol akazange azibulale ngoba kusukela ngosuku aboshwa ngalo kuze kube yilolo ashona ngalo wayeshaywa ngamaphoyisa. Abukho ubufakazi obuthi wagxuma ewindini lesitokisini esingunombolo 1026. Kuyacaca ukuthi waphushwa noma wakhishwa ngophahla lwaseJohn Voster. Akazange azibulale  kodwa kuyacaca ukuthi wabulawa," kusho uMothle. 
Uthe amaphoyisa obandlululo azamile ukufihla ubugebengu bawo ngokuthi abhale ukuthi uTimol washona.
UMothle ukhiphe umyalelo wokuthi umuntu wokugcina ukubona uTimol ephila, uSergeant Jan Rodgrigues kufanele athweswe icala lokubulala nelokufihla ubufakazi. 

'Ngiyasola ubefuna babuyelane'

$
0
0
KUSOLWA ukuthi ubefuna kubuyelwane umlisa obulale owesifazane ayethandana naye nonina maqede wazibulala kwa-D, KwaMashu ngoLwesibili.

Kuthiwa laba bobathathu, uNksz Silindile Millicent Shazi (34) unina, uNkk No Happiness Shazi (53) noMnuz Samkelo Zondi batholakale egunjini obekuqashe kulo uNksz Shazi ngoLwesithathu ntambama sebeshonile benamanxeba okudutshulwa. Kusolwa ukuthi uZondi ubulale uNksz Shazi nonina wase ebhekisa isibhamu kuye wazibulala.

Umfowabo kaNksz Shazi, uMnuz Mzonzima Shazi uthe uqale ukukhathazeka ngodadewabo nonina ngesikhathi ezama ukubathola ocingweni ngoLwesibili.

Uthe unina ubengahlali nodadewabo kodwa ubefike ngoMsombuluko esuka kwakhe, ePort Shepstone ngoba ezoya kudokotela ngoLwesibili.

“Ngizame ukubathinta ngoLwesibili ngangabathola, ngicela intombi yami ukuthi ingisize iyongibhekela bona. Ifice kuthulekile endlini, kukhiyiwe, ukhiye ulenga esicabheni ngaphakathi. Isizwe omakhelwane bagqekeza isicabha nokuyilapho bezithele phezu kwezidumbu.”

UShazi oshayela itekisi eKenville, uthe bambikele ngokwenzekile elayishe abantu, ubashiye phansi waphuthuma lapho kwenzeke khona isehlakalo.

Uthe udadewabo ubengaxoxi ngoZondi ngoba bese kunonyaka ahlukana naye. Uthe bahlukana bengenangane futhi bengalobolene. “Ngisola sengathi ubefuna babuyelane. Uke wafika la kuzosa kube yiSonto wangqongqoza kodwa usisi wamxosha wathi akahambe. Ugcine ehambile futhi ayikho into ayenzile,” kusho uShazi.

Uthe bebengalindele ukuthi kungenzeka isigameko esifana nalesi ngoba udadewabo ubengakaze aveze ukuthi uZondi uyamsabisa noma kukhona aseke wazama ukumenza khona okukhombisa ukuthi angamlimaza.

Uqhube wathi omakhelwane bakadadewabo abahlala emqashweni bathi bezwa umsindo ngehora leshumi emini ngoLwesibili kodwa bangazitshela ukuthi kuqhuma isibhamu.

Ngesikhathi leli phephandaba lihambele endaweni yesigameko uShazi ubematasa namalungu omndeni behlanza indlu. Uthe dadewabo obesebenza eCambridge emakethe ubebondla ekhaya kanti unina ubebagadela izingane zabo ebezihlala naye ePort Shepstone.

Uthe bangase bafihle ngesonto elizayo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya amacala amabili okubulala nedokodo elilodwa. Uthe kutholwe isibhamu eduze kukaZondi.

Ugwetshwe udilikajele owadlwengula indodakazi eneminyaka engu-12

$
0
0
IGWETSHWE udilikajele yinkantolo yesiFunda eMadadeni indoda elahlwe yicala lokudlwengula indodakazi yayo eneminyaka engu-12.

Inkantolo izwe ubufakazi obuthi le ntombazanyana ibihlale idlwengulwa nguyise bese eyisabisa ngokuthi ingatsheli muntu.

Kuthiwa ngelinye ilanga, unina wale ntombazane wakhohlwa okuthile ekhaya kade ehambile, wathi uma ebuya wafica umyeni wakhe esekamelweni lengane ikhala, wayibuza ingane ukuthi ikhalelani yathi idlwengulwe nguyise.

Uyise wengane wabe eseboshwa.

UKhomishana wamaphoyisa obambile KwaZulu-Natal, uMajor-General Bheki Langa usamukele lesi sigwebo esinikwe lona wesilisa, waphinde wancoma nabaseshi ngophenyo lwabo olusezingeni eliphezulu oluholele ekutheni agwetshwe lona wesilisa.

“Amadoda ahlukumeza abantu besifazane nezingane awanandawo lapha emphakathini yethu.

"Sizokwenza isiqiniseko sokuthi labo abathinteka emacaleni okuhlukumeza babhadla ejele isikhathi eside.

"Sethemba ukuthi lesi sigwebo sizothumela umyalezo nakwabanye besilisa abahlukumeza abesifazane,” kusho uLanga.

'Osopolitiki bagadwa yizinkabi'

$
0
0
UMNGANI kaMnuz Sindiso Magaqa owayenguNobhala jikelele wophiko lwentsha lwe-ANC kuzwelonke, uMnuz Thabani Zulu, uthe ngeke babanjwe abasoconga uMagaqa ngoba baningi abaholi asebabulawa kodwa kungenzeki lutho.

UZulu uchazele ikhomishini kaMoerane ephenya ngokubulawa kosopolitiki eThekwini izolo ukuthi yinye indlela okusocongwa ngayo abaholi, babulawa uma sebezofika emakhaya, kwesinye isikhathi badutshulwe emini kabha.

Uthe uma kusanda kubulawa umholi kuboshwa umuntu osuke esoleka ekugcineni adedelwe kuthiwe ubufakazi abuhlangani.

“Kuthi uma sekumele kuqulwe icala, kubulawe ufakazi oqanda ikhanda, kuhoxiswe icala. Yinto eyenzeka emacaleni abaholi okubalwa uMnuz Sbu Sibiya owabulawa ngo-2011 noMnuz Wandile Mkhize naye owabulawa ngonyaka ofanayo. Abantu abasuke bethenge izinkabi ngeke babanjwe ngoba bayavikelwa, bangaphakathi enhlanganweni. Uma kungase kubanjwe ababulala uMagaqa lingawa licoshwe yizinkukhu. Nokushiwo ngamaphoyisa ukuthi umsolwa owabulala uMagaqa owabulawa amaphoyisa wayehlala ehostela eGlebe yinto engekho ngoba ngathinta izinduna zathi akekho umuntu ofuze lo oke wahlala noma wafika ehostela,” kusho uZulu.

Uthe abaholi abafika bathembisa lukhulu emndenini kaMagaqa ngeke baphinde babuyele kuwona.

Uthe osopolitiki bagadwa yizinkabi ezaziwayo wathi ezinye zazo zisuke zidonsa amacala anzima.

“Emngcwabeni kaMagaqa, ngabona enye inkabi engiyazela KwaDambuza, isigada omunye usopolitiki odumile kodwa ikade igwetshwe iminyaka engu-15 ngokubamba inkunzi kuhlonyiwe. Izinkabi ezigada abezepolitiki ziphatha izinhlokohlela zezibhamu ama-AK. Kusanda kusabalala i-video yonogada bomunye umholi eThekwini behlohla lezi zibhamu bethuka nenhlamba. Kumele ibhekwe eyezikhali eziphathwa onogada babaholi,” kuqhuba uZulu.

Uthe izinkinga ezikhungethe i-ANC aziqalanga manje kodwa zaqala kudala.

“Babili abantu ababanga ukuhola i-ANC ngoDisemba, abanye bayaphelezela. Indaba yokukhankasa yaqala ngo-2012, omunye wabaholi evalelisa owayeya kwi-African Union (AU) wathi iyahamba intombazane kodwa izobuya. Lokhu kwakuwukuyikhankasela isidana,” kusho uZulu.

Uqhube wathi abanye abaholi bazidubula bona ukuze batholelwe onogada kuthiwa impilo yabo isengozini.

“Elinye iphini lemeya laqasha abantu badubula imoto lehla kuyona labaleka bedubula kodwa langaba namyocu. Manje selinonogada.”

Uthe abaholi babulawelwa izikhundla zezepolitiki namathenda.

Ubale uMgcinimafa we-ANC uDkt Zweli Mkhize njengomuntu owayefika ahlale ubusuku bonke esifundeni sabo uma benezinkinga.

“Ngike ngakhala ngoMkhize ukuthi esangusihlalo wesifundazwe nesigungu sakhe abasinakanga sikhala ngengqungquthela yango-2008. Kodwa ubeke afike azozwa izikhalo zethu ahlale ubusuku bonke aphembe ukubuyisana,” kusho uZulu.

Uthe kwayena angabulawa noma yinini wathi selokhu bakhuluma beveza inkohlakalo akukho mizamo yokuthi bavikelwe.

Uphethe ngokuthi uMagaqa akakaze ahlele ukujoyina i-EFF wathi abanye abaholi baleli qembu bafika kuyena bethi uma eza kuyona bazomenza uNobhala jikelele kodwa wanqaba wathi uyofela kwi-ANC. Namhlanje kuzofakaza uMnuz Mandla Ngcobo noMnuz Xolani Ndlovu weNFP kule khomishini.

Isidumo kudedelwa abathathu ‘kwelamazimu’

$
0
0
KUSUKE isidumo ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseMtshezi ngoLwesine ngesikhathi kudedelwa amadoda amathathu abeboshelwe amacala athinta ukudliwa kwabantu.

Amalungu omphakathi abengafuni ukusuka ngaphandle kwenkantolo, amanye awo edansa aze adunusele amaphoyisa. Abanye bagcine sebelahla udoti phansi. Amaphoyisa agcine esedubula ezama ukubahlakaza. Abanye balimala ngesikhathi kubalekwa.

Amaphoyisa aze asihlakaza ngesisi esikhalisa unyembezi isixuku sabantu ebesikhala ngesinqumo senkantolo sokuhoxisa amacala abathathu okwesikhashana, umphakathi osubabiza ngamazimuzimu.

ABANYE bababu abalimalile ngesikhathi kusuka isidumo ngaphandle kwenkantolo. Isithombe: DOCTOR NGCOBO

UMnuz Lindokuhle Masondo (32) ongumsolwa wesithathu, uMnuz Nhlakanipho Madlala (28) umsolwa wesithupha, noMnuz Sasinu Ndlovu (31), umsolwa wesikhombisa kuhoxiswe amacala abo okwesikhasana kodwa kwathiwa uma kuvela obunye ubufakazi basengaboshwa.

Bebebhekene namacala amabili, elokubulala nelokukhanda uzungu lokubulala.

Amadoda awazange esalinda ukuthi imantshi, uNkk Arthi Sukraj, iqede ukukhuluma, avele azihlalela phansi aze asukunyiswa.

Icala lihlehliselwa u-Okthoba 27 ukuze amadoda asele -oMnuz Nino Mbatha, Sithembiso Sithole, Lungisani Magubane noKhayelihle Lamula - acele ibheyili.

Umshushisi uMnuz Israel Zuma utshele inkantolo ukuthi uthole incwadi evela kumqondisi wabashushisi KwaZulu-Natal imtshela ukuthi amacala ayahoxiswa emadodeni amathathu. Incwadi ayizange izibeke izizathu zokuthi kungani amacala ehoxiswa.

Abasolwa ngesikhathi bengena enkantolo. Isithombe: DOCTOR NGCOBO


Isolezwe lithole ukuthi amacala ahoxiswe ngoba bungatholakali ubufakazi obuhlanganisa amadoda. Lokhu kodwa akuzange kuqinisekiswe yinkantolo.

Ummeli wabasolwa, uNksz Thandeka Hadebe, uveze ukuthi abasolwa abane bazosebenzisa ilungelo labo lokucela ibheyili.

Ngaphandle kwenkantolo uNkk Dudu Sibisi waseNtabamhlophe ubekhala izinyembezi ethi abaphephile ngenxa yokudedelwa kwamadoda. NoNksz Sizani Ngema waseSigodlweni ubekhala esifanayo.

“Sicela inkantolo ibophe thina ukuze sizophepha ngoba idedela amazimuzimu ukuba azosidla. Ngiyakhala ngomthetho wakuleli. Kungcono ukube kukhulunywa ukuthi badedelwe ngebheyili. Manje badedelwe nje ngaphandle kokuba icala liqulwe. Asiphephile,” kusho uNksz Ngema.

Ikhansela laseSigodlweni le-IFP, uMnuz Mthembeni Majola, lithe liphoxekile kakhulu ngesinqumo senkantolo. “Inkantolo kumele isizamele indawo yokulala ngoba asiphephile ngaphandle. Ngiphoxekile kakhulu isinqumo sabo sokudedela abasolwa ekubeni bazinikela bona esiteshini,” kusho uMajola.

Lizibulele iphoyisa ebelifunwa ngamacala okudlwengula

$
0
0
LIZINGQOKLOZE ngenhlamvu phambi kozakwabo abakade bezama ukulibopha iphoyisa ebelisolwa ngamacala okudlwengula nelokuzama ukubulala.

Ushiye ozakwabo bebambe ongezansi, uConstable Sibusiso Jele (35) wasesiteshini samaphoyisa oPhongolo ngemuva kokuzibulala phambi kwabo ngezintatha kuleli sonto.

UJele kuthiwa ubanjwe emgwaqeni uR617, eMpophomeni, ngemuva kokuhluleka wukuzinikela emaphoyiseni ngoMsombuluko.

Ngokusho komthombo, uJele uye eHowick ngoLwesihlanu eyovakashela intombi yakhe okuthiwa ufike wayidlwengula maqede wayidubula.

“Ngenhlanhla intombi isindile kodwa kuthiwa isesimweni esibucayi esibhedlela. Ikwazile ukuvula icala esiteshini samaphoyisa aseHowick. Kuthiwa ngoMgqibelo uye eMtubatuba lapho efike khona wathatha ngenkani owayeyintombi yakhe phambi kwesoka. Sizwa kuthiwa uhambe nayo wayoyidlwengulela kwenye indawo wase eyishiya kanjalo. Kuthiwa ubuyele eHowick wayohlala endlini yentombi le ayidubulile, ehamba nangemoto yayo,” kusho umthombo.

Uqhube wathi ngemuva kokuvulwa kwamacala, abophiko oluphenya amacala abhekene namaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid), bamfonele bethi makazinikele.

Uthe bekulindeleke ukuthi uJele azinikele ngoMsombuluko kodwa wavele wavala ucingo.

“Amaphoyisa akwa-Ipid abe esephuma inqina emthungatha. Asizwe yi-tracker yefoni yakhe ukuthola ukuthi ukuphi. Ngezintatha zangoLwesibili anikele lapho abecashe khona. Kuthiwa abesecele nosizo lwamanye amaphoyisa.

“Akwazile ukumkaka, ezama ukumphoqa ukuthi azinikele. Uvele wahosha isibhamu sakhe wazidubula ekhanda,” kulandisa umthombo.

Obesondelene noJele kodwa ocele ukungadalulwa uthe inkinga yakhe wukuthi ubehlushwa yisikhwele.

“Ubenesandla esilula kubantu athandana nabo. Bekulula kuyena ukushaya umuntu wesifazane uma kukhona angakuboni kahle noma akusolayo. Besingazi kodwa ukuthi le nto yakhe ingagcina kabi kanje. Izenzo zakhe ziyakhomba ukuthi ngumuntu obesezidelile,” kusho ocele ukungadalulwa.

Kunezinsolo zokuthi leli phoyisa belifumbathiswa abebesolwa ngamacala athize esiteshini ebelisebenzela kuso.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Thulani Zwane usiqinisekisile isigameko kodwa wathi ucela kuthintwe abakwa-Ipid njengoba lolu daba lusezandleni zabo.

UMnuz Moses Dlamini, okhulumela i-Ipid KwaZulu-Natal uthe abaseshi babo nophiko lakwaNational Intervention Unit (NIU) eThekwini, banikele eMpendle ukuyothungatha uJele obesolwa ngamacala amabili okudlwengula abevulwe eSydenham nakwaMsane.

“Umsolwa akatholakalanga eMpendle okwenza ukuthi kumiswe ukumthungatha ebusuku.

“Ngesikhathi amaphoyisa asephindela emuva eThekwini, athole ucingo lokuthi ubonakele ephuma ngemoto yakhe eMpendle. Babuyele khona sebehamba namaphoyisa asemoyeni aseMgungundlovu. Bahlangana nemoto yomsolwa emgwaqeni uR617 eMpophomeni bakwazi ukumvimba,” kusho uDlamini.

Uthe uvele wamisa imoto eceleni komgwaqo wazidubula ekhanda, washonela khona lapho.

Amaphoyisa aseMphophomeni aphenya icala lokufa kwakhe.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live