BAKHALA bayazithulisa abantu abebefake imali yabo “ebhanoyini” emuva kokufika kukhala ibhungezi emahhovisi ehlukene enkampani ebithi iyabalondolozela.
Bebethembe ukuthi bazodla kahle ngoDisemba njengoba inkampani iX-Traders Markets, enamahhovisi KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape, ibibathembise inzuzo enkulu kodwa manje abanikazi bayo abasabatholakali nasocingweni nasemahhovisi sekulenga ingidi.
NgoMsombuluko nayizolo kuthiwa bekulenga ingidi emahhovisi enkampani esemgwaqwewni uVoortrekker, eGreytown, abantu besami olayini bezofuna imali yabo.
Ngisho umsebenzi weX-Traders obengumabhalane kuthiwa ufike ezosebenza njengokujwayelekile kodwa wamangala ebona sekuvaliwe. Abaqashi bakhe kuthiwa bahambe bengamkhokhele ngisho iholo lakhe.
Ekhasini lenkampani kwiFacebook abantu bebekhala nxa zonke besho ukuthi wonke amahhovisi bafice evaliwe KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape kusukela ngoMsombuluko.
INDLELA yokuqoqwa kwemali nenzuzo eyenziwa otshalile Isithombe: FACEBOOK
UMnuz Enock Mngoma waseGreytown uthe namanje akakholwa wukuthi bashaye bachitha no-R1 100 abewufakile.
“Bebesitshela amanga akholekayo. Bekuthi noma sazi ukuthi kukhona into okuthiwa yibhanoyi kodwa besingazitsheli ukuthi nabo bayilona. Ngibe nenhlanhla ngoba ngoMsombuluko bengiphethe enye imali enkulu ngithi ngiyoyifaka kanti ngizofika sekukhala ibhungane. Ngifice abantu bekhala ngemali yabo abayitshalile,” kusho uMngoma.
Omunye wesifazane ocele ukungadalulwa obekhihla isililo uthe yena uthathe yonke imali abeyibekela ukuyofundisa ngayo ingane yakhe enyuvesi wayifaka enkampanini.
“Ngifake u-R15 000 ngizitshela ukuthi ngizothola u-R12 000 izinyanga eziyisithupha noma u-R225 000 ngoDisemba. Kumanje ngiphithene ikhanda angazi nokuthi ngizoyiqala kanjani le ndaba ngoba nomyeni wami akanalo ulwazi ukuthi ngithathe imali ngayipha abantu. Ngisangene impela.”
Isolezwe lithole ngephoyisa laseGreytown elingagunyaziwe ukuba likhulume nabezindaba ukuthi babiziwe emahhovisi enkampani ngoMsombuluko kodwa bekungekho abebengakwenza ngoba akekho obesefuna ukuvula icala.
“Sithole inqwaba nje yabantu ime izixongololo ikhala ngemali yabo esihambe nabantu abangaziwa. Bese kukhiyiwe emahhovisi. Abanye bathi bazolivula icala uma kuzobuya imali yabo. Manje asikho isiqiniseko sokuthi imali izobuya ngokuvulwa kwecala,” kusho iphoyisa.
Abakhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal bathe alikho icala elisavuliwe ngokuluthwa kwabantu.
Kuthiwa ngoMgqibelo eGreytown kufike umlungu obekhuluma isiZulu esomile obegqugquzela abantu ukuba befake imali enkampanini.
“Besinike-zwa izigqoko nezikibha ubona nje ukuthi sizokwenza imali yangempela. Besiyikhipha yonke imali yethu kusukela ku-R1000. Baze basincoma ukuthi lapha eGreytown sihamba phambili ngokutshalwa kwemali ngoba sesifake ama-millions enkampanini,” kusho umthombo ogilekile.
Ehhovisi lenkampani bekunempatho, abantu bemukelwa ngesiphuzo esibandayo nesithelo umuntu asithandayo.
Ubungena egumbini bese ufaka imali yakho, uthenjiswe ukuthi uzothola inzuzo uma sekuphele inyanga.
Epheshaneni lokukhangisa lenkampani kuvele ukuthi banendawo yokusebenza eThekwini (kuSmith noField), eMgungundlovu ku-Timber Street, oPhongolo kuPiet Retief Street nase-Eastern Cape kuMaclean Street.
Kuthiwa inkampani ibinezinyanga eziyisithupha isebenza. Abantu okuthiwa bafaka imali ngasekuqaleni bebeyikha ngamafosholo imali, nokwenze baheha nabanye.
Imizamo yokuthola abakwaX-Traders Markert izolo ayizange iphumelele izinombolo ezibhaliwe okuthiwa batholakala kuzo bezingangeni.
Ipheshana lokukhangisa liveza ukuthi le nkampani isebenza ngo-Plan A,B,C.D.
Iqala ku-R1000 bese kuba * -R100 ngaphezulu wokubhalisa.
Abaku-A bathola imali njalo izinyanga eziyisithupha isinenzalo, abaku-B bathola imali ezinyangeni ezintathu inenzalo, abaku-C bathola imali emuva kwezinyanga ezimbili inenzalo, abaku-D bebezothola imali ngoDisemba isiphindwe kaningi.
Igcina ku-R750 000 imali obungayihlomula.