Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Kube muncu kuhlaselana abaholi be-ANC

$
0
0
Kube muncu umholi woMKhonto weSizwe Military Veterans Association (MKMVA), uMnuz Kebbie Maphatsoe, ethuka iphini likaMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa, ethi ungumqambi manga.

UMaphatsoe akagcinanga lapho uphinde wahlasela uNgqongqoshe wezokuHlaliswa KwaBantu ophinde agaqele isikhundla sokuba umengameli we ANC, uNksz Lindiwe Sisulu.

UMaphatsoe ugxeke uSisulu noRamaphosa ngokuhambela umcimbi weMK Council  elwisana neMKMVA, ngempelasonto ekubeni bebeyalelwe ukuthi ukuvela kwabo kulo mcimbi ngeke kwehle kahle kwazise kungabonwa njengokukhankasela amavoti. 

Eziphindiselela uSisulu uthe iMKMVA ikhuluma ''umbhedo'' kanti futhi ''ingomakoti'' kwi-ANC.

Usobishini obeshayela kufa umdlali welePSL

$
0
0
ANGASE abhadle ejele umdlali weRoyal Eagles, uHappy Mashau, obeshayela imoto okushone kuyona umngani wakhe obedlalela iMaritzburg United, uMlondi Dlamini engozini eyenzeke ngaseCato Ridge ngeSonto ekuseni.

UMashau, ochithwe yiTeam of Choice ekupheleni kwesizini edlule, ubeshayela imotoi-VW Polo okuvela ukuthi uhlulekile ukuyilawula, yaphaphalaza emgwaqweni u-N3 osuka eThekwini ubheke eMaritzburg. Ubehamba noDlamini nomunye umdlali okuthiwa ubesazama inhlanhla kwiMaritzburg olimale kanzima, waphuthunyiswa esibhedlela.

Ngokuthola kweSolezwe laba badlali bebekade bephuma endaweni yokuzijabulisa eMhlanga ngesikhathi bevelelwa yingozi. UMashau uvulelwe icala lokubulala ngokungenhloso.

YIGOBOLONDO lemoto ebihamba umdlali weMaritzburg United, uMlondi Dlamini, oshone ngeSonto emuva kukuba umshayeli ehluleke ukuyilawula yase iphaphalaza


Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukudlula emhlabeni kukaDlamini endaweni yengozi nokulimala komunye wesithathu obekade esemotweni.

“Singakuqinisekisa ukuthi kunesehlakalo esenzeke ngeSonto ngezikhathi zabo- 6.30 emgwaqweni * -N3. Kushone umuntu oyedwa endaweni yesehlakalo omunye walimala, waphuthunyiswa esibhedlela. Icala lokubulala ngokungenhloso livuliwe esiteshini samaphoyisa eHammarsdale,” kusho isitatimende samaphoyisa.

Izolo amaqembu ehlukene ePremier Soccer League abethumela imiyalelo yenduduzo emndenini kaDlamini nakwiMaritzburg.

Sihoshe izindaba zokuthi ubaba kaMlondi usashayekile wokwenzekile futhi akakakwazi ukukhuluma.

“Ubaba walo mfana ushayekile. Lo mfana ubeyithemba lakhe,” kusho umthombo.

UDlamini unyuselwe eqenjini elikhulu leTeam of Choice ekuqaleni kwesizini edlule. Ngesizini edlule ubesohlwini lwabadlali abathathu abashaye into ecokeme kwiMultiChoice Diski Challenge. Ngo-2015 waqokwa njengomdlali ovelele kade edlalela isikole sakhe iSukuma High kwiKay Motsepe Cup.

Usihlalo weqembu uFarook Kadodia usale eshaqekile ngokudlula emhlabeni kukaDlamini.

“Besisabheke lukhulu kuMlondi. Lo mfana uhlale eqenjini iminyaka eyisikhombisa. Eminyakeni emithathu ezayo besibheke ukuthi enze ezibukwayo kwiBafana Bafana. Ubenekhono eliyisimanga. Ngaso sonke isikhathi sihlale sishumayela ivangeli lokuziphatha kubadlali. Singakwenza konke kodwa ekugcineni konke kulele kubona. Ngicabanga ukuthi mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi sibe nenkundla yokucobelelana ngalezi zinto. Silimele kakhulu ngokudlula kwakhe emhlabeni,” kusho uKadodia.

Imininingwane yokufihlwa kukaDlamini nenkonzo yesikhumbuzo izokhishwa namuhla. Isolezwe ligcine lihlulekile wukuxhumana nomndeni wakhe kwazise ubumatasa ePinetown ngezinto ezithinta isidumbu sikaDlamini.

Imenenja jikelele ye-Eagles, uJames “Matatazela” Dlamini, izwakalise ukushaqeka ngokudlula emhlabeni kukaDlamini.

“Ibuhlungu le nto. Abafana abalaleli uma betshelwa ukuthi ukuhamba ebusuku akulungile. Okubuhlungu wukuthi kushone umuntu kule ngozi. Imoto umuntu angaphinde ayithole kodwa ngeke ubuye umphefumulo womuntu. Sizwa ubuhlungu siyiqembu ngokwenzekile. Ngihlela ukuxhumana neMaritzburg ukuze ngiyobonana nomndeni wakwaDlamini. Sizwelana kakhulu nawo,” kusho uDlamini.

Uzithintele kwi-ANCYL ngakusho emcimbini wentsha

$
0
0
KUYASHUBA ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwePhini likaMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa ne-ANCYL ngemuva kokuthi uRamaphosa ethe abanye abaholi bophiko lwentsha kaKhongolose bayizilima.

I-ANCYL eThekwini ibhalele uRamaphosa incwadi icela ukuhlangana naye ngenhloso yokuxoxisana naye ngemuva kwenkulumo ayethule emcimbini wophiko lwentsha yombutho eHillbrow, eGoli ngempelasonto lapho ethe abanye abaholi be-ANCYL abakhaliphile.

Okhulumela i-ANCYL eThekwini, uMnuz Thulisa Ndlela, uthe bafuna uRamaphosa awahoxise amazwi akhe aphinde axolise.

“Amazwi ashiwo yiPhini likaMengameli ahlasimulisa umzimba futhi besingawalindele kumholi kaKhongolose omdala njengaye kodwa asithuki kakhulu ngoba umlando uyakuveza ukuthi uRamaphosa akakaze azimbandakanye nombutho wentsha kwasebusheni bakhe okukhombisayo ukuthi kukhona okushodayo ebuholini bakhe,” kusho Ndlela.

UNdlela uthe ukuba bebethanda bebezomphendula uRamaphosa nabo bamthuke esidlangalaleni njengoba enzile kodwa ngenxa yokuthi bayamhlonipha bakhethe ukuthi bambhalele bacele ukuxoxisana naye ukuze abachazele kahle ukuthi ubeqonde ukuthini ngamazwi akhe.

Ekhuluma emcimbini wentsha ngempelasonto, uRamaphosa ukhumbuze i-ANCYL ngeqhaza layo emphakathini nangomsebenzi oyihlalele wokwenza ngcono impilo yentsha.

Uthe ababadingi abaholi be-ANCYL abazithwele nabadelela abanye abantu.

URamaphosa ungomunye wabaholi be-ANC abagaqele isikhundla sokuba ngumengameli wale nhlangano njengoba kubhekwe engqungqutheleni ebhekwe ngabomvu ezoba ngoDisemba nonyaka.

I-ANCYL KwaZulu-Natal kade yaphumela obala yathi yeseka imbangi kaRamaphosa enkulu uDkt Nkosazana Dlamini Zuma ekutheni abe ngumengameli we-ANC.

Kufe abathathu bomndeni noyedwa bedutshulwa

$
0
0
KUSOLWA umbango wasematekisini ngokubulawa kwabathathu bomndeni owodwa nomakhelwane wabo eFolweni ngeSonto ebusuku.

Umndeni wakwaNtini eMangwaneni, eMid-Illovo, ushaqekile kubulawa oMnuz Philani Ntini (37) ongusomatekisi, Sfiso Ntini noNhlakanipho Ntini nomakhelwane uSiyabonga Mbonambi (36).

Badutshulwe ngentululwane yezinhlamvu emgwaqweni U-M35 phakathi kweMbumbulu naseFolweni behamba ngeveni kade besuka emzini kayise omncane lapho bekunomcimbi khona.

UMNUZ Philani Ntini noSfiso Ntini ababulewe eFolweni ngeSonto ebusuku


NHLAKANIPHO NTINI
UMNUZ Siyabonga Mbonambi ofe nabakwaNtini ngeSonto

Abathathu bashonele lapho bedutshulelwe khona kwathi uNhlakanipho, ofunda uGrade 11 oGwini High, washonela esibhedlela.

AbakwaNtini ababili abasindile abaneminyaka ewu-15 basesimeni esibucayi esibhedlela.

Omunye osindile yindodana kaPhilani.

Ilungu lomndeni, uNksz Babongile Ntini, uthe umfowabo ubengenazo izitha nokwenza basole ukuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene nomsebenzi wakhe wamatekisi.

“Besazi ukuthi unezinkinga ematekisini kodwa singazi ukuthi ngobani izitha nokuthi izinkinga zidalwa yini. Siyasola ukuthi abafowethu babulewe ngenxa yawo lo msebenzi kamfowethu wokuba usomatekisi,” kusho uNksz Ntini.

Ngokwazi komndeni uNtini ubenamatekisi amane kusosesheni waKwaMnyandu.

UMNUZ Mbuyiselwa Mbonambi oshonelwe wumfowabo ngesikhathi bedutshulwa

UNksz Ntini uthe bebeyisithupha besuka emzini kayise omncane lapho bekwenziwe khona umsebenzi.

“Basuke kababa omncane balala ekhaya (eMangwaneni) ngoMgqibelo. Basuka ntambama ngeSonto sebeya ekhaya elinye eMlaza. Sifonelwe kuthiwa balimele. Ngifike lapho belimalele khona omunye umfowethu esemboziwe ngoba eseshonile. Omunye umfowethu nowakwamakhelwane bebelele bembondelene ngaphambili emotweni, kugobhoza igazi, sebeshonile.”

“Babaqedile ngenhlamvu, ngendlela abadutshulwe ngayo kucacile ukuthi bekuzoqothwa imbokodo nesisekelo futhi bebehlelile ukubulala. Esikufunayo njengomndeni wukuba kuphenywe bese kuboshwa abasolwa ukuze sibazi futhi basichazele ukuthi bekwenzenjani bebulala umndeni wethu.”

Ithimba leSolezwe lifike eMgwaneni isililo siqhuma nxa zonke ngenxa yokuthi eduze kwakwaNtini, kwa-Mbonambi, nakhona bekukhalwa.

UMnuz Mbuyiselwa Mbonambi uthe naye umhlola usematekisini ngokubulawa komfawabo.

USiyabonga kuvele ukuthi naye ubenetekisi elisebenza kusosesheni waKwaMnyandu.

“Sife olwembiza ngoba uSiyabonga uyena omdala nobesebenza, zonke izingane zibheke yena. Kumanje siphithene amakhanda. Sidinga ukuba amaphoyisa aphenye ngoba sisola yona imboni yamatekisi ngokubulawa kwakhe,” kusho uMbonambi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseFolweni aphenya amacala okubulala.

Kuphenywa uthisha ngokufa komfundi

$
0
0
KUPHENYWA uthisha waseClermont ngokubulawa komfundi wesikole esingumakhelwane isidumbu esatholwa ehlathini ngenyanga edlule.

Luqale kabi usuku lokuvulwa kwezikole izolo eSithengile Secondary ngesikhathi abafundi abebevuke umbhejazane besola uthisha wakhona ngokubulala uNonhlanhla Gumbi (17), obefunda eZiphathele Secondary.

UNonhlanhla obefunda uGrade 12 kusolwa ukuthi waqale wadlwengulwa njengoba iphenti kuthiwa lalibhobokile.

Izolo, abafundi baseZiphathele nabaseMqhele Secondary, bamashele eSithengile befuna uthisha wesilisa osolwayo.

Kuthiwa kulamule amaphoyisa nabahloli abehlise ulaka lwabafundi, babuyela emakilasini. Isolezwe lithole ukuthi ithimba ebeliyingxenye yophenyo kulolu daba elihlanganisa amalungu omphakathi nabazali, yilo elithole umbiko omatanisa uthisha necala.

Usihlalo wesigungu sabazali eSithengile, uMnuz Sanele Shange, uthe abafundi abamtholanga uthisha ngoba bafike esebalekile.

“Bekunekomiti elisebenzisana namaphoyisa ukuphenya ngodaba lokubulawa komfundi. Kuvele ukuthi uphenyo lukhomba lo thisha, okuyikona okucasule abafundi. Sivumelene nezithunywa zoMnyango wezeMfundo ukuthi uthisha angezi esikoleni kuze kuphothulwe uphenyo,” kuchaza uShange.

UNkanyiso Zungu, ongusihlalo weCosas esifundazweni, uthe bebengeke bangenzi lutho sebezwe okusha ngalolu daba.

“Besifuna ukukhombisa intukuthelo yethu nokuthi amaphoyisa asheshe abophe umsolwa. Besingaqondile ukuphazamisa ukufunda kodwa besifuna uthisha aphume esikoleni ukuze siqhubeke nokufunda ngokuthula. Besingabhekile neze ukuthi kuthinteke uthisha kulolu daba ngoba sasicabanga ukuthi wubugebengu bomphakathi,” kusho uZungu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-Colonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi kuphenywa uthisha.

“Akekho osaboshiwe futhi abukho ubufakazi obuqinisekisa izinsolo kodwa amaphoyisa asaphenya,” kusho uZwane.

UMnuz Sihle Mlotshwa, okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, unxuse abafundi ukuthi behlise umoya, bayekelele amaphoyisa enze umsebenzi wawo wophenyo.

“Sisesikhathini lapho kusondele ukubhala, asilindele kube nokuphazamiseka ngisho okuncane ezikoleni. Lolu daba lusemaphoyiseni okuyiwona okumele enze umsebenzi wawo, abafundi abehlise umoya,” kusho yena.

Ngesikhathi kuyinkonzo yokukhumbula lo mfundi, kwaba nemashi yabafundi besikole sakhe nezinye eziseduze bekhala ngokuthi akukaboshwa muntu.

BUKA: Kume nse yonke into eThekwini ngenxa yesimo sezulu

$
0
0

USUVALIWE umgwaqo omkhulu uN2 uma ubheke eGalleria Mall, ngaseningizimu neTheku, ngenxa yemvula enamandla ehambisana nezikhukhula ngoLwesibili ekuseni. 

Imvula nokuduma kwezulu kuphazamise nokusebenza kukagesi ezindaweni ezihlukahlukene ezakhelene neTheku. 

Izangoma zezulu zithi abantu baKwaZulu-Natal kumele baqaphele izikhukhula nesichotho, esizobe sihambisana nokuduma kuzo zonke izingxenye zesifundazwe ngoLwesibili. 

UMnuz Aslam Sardiwalla, wakwaSouth African Weather Services (SAWS) KwaZulu-Natal, uthe umphakathi kumele uqaphele kakhulu ngoba lizona isifundazwe sonke.

“Silindele amathuba emvula angu-80% isifundazwe sonke kusukela emini kuze kuyoba ntambana. Imvula kulindeleke iqinise emini maphakathi nesifundazwe nasezindaweni ezigudle ugu. Izinkomba zesimo sezulu zikhombisa ukuthi imvula ingaze yehle ebusuku. Cishe ngoLwesithathu kungenzeka liphenye kodwa ngeke kube yilanga eliqinile,” kusho yena

UNkk Hanellee Doubell, okhulumela i-SAWS, uthe izifundazwe eziningi zizobe zinesimo sezulu esifanayo.

Uxwayise abahamba ngezimoto ukuthi bangangeni emanzini amile abangawazi ukuthi ashona kangakanani. Abahamba ngezinyawo uthe kumele bakugweme ukuhamba eduze nemifula noma ukuhamba emanzini angaphezulu kwamaqakala.

“Umphakathi awuhlale ulalela izexwayiso zethu kwabezindaba,” kusho yena.

Cars are submerged in flood water in Isipingo after a storm hit Durban on Tuesday. Photo: Supplied.

Izimvula zihlasele KwaZulu-Natal, nase-East London. Kulindeleke ukuthi kube namakhaza ashubile e-Eastern Cape naseNorthern Cape.





Daily News

Bafundela emnyango abafundi abadilikelwa yikilasi

$
0
0
BAFUNDELE ngaphansi kwesihlahla abafundi bakwaGrade 9, baseNkangala Secondary, eNgodini, eWeenen, izolo emuva kokudilika kwekilasi ngenyanga edlule ngenxa yemvula enamandla.

Ngemuva kokuqala kwemvula ebina kakhulu izolo emini kudingeke ukuthi basheshe bagodukiswe.

USihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnuz Shayina Sithole, uthe abafundi abawu-40 bafundele kuvulwa izikole.

Uthe ikilasi ladilika ngoSepthemba 15, base bewubikela umnyango kodwa okwamanje bekungakenzeki lutho.

“ Abekho abafika bezobheka isimo. Okwamanje simbambe eThandanani Primary. Isikole sethu sinamakilasi amabili, uGrade 8, no-9 kuphela. Kwalona elakwaGrade 8, bangu-47 abafundi abafundela kulona kanti kwalona alikho esimeni. Abafundi bayaminyana, bacuphisane emadeskini ngoba asinaso isikole,” kusho uSithole.

Unxuse umnyango ukuthi ungenelele usize ngoba abafundi bezogodukiswa njalo uma lina ngoba bafundela emnyango.

“ Ayikho enye indawo esizofundela kuyo ngaphandle kwasemnyango. Uma kwenzeka lina nje kumele bagoduke ngoba akukho lapho bezokhosela khona,” kuqhuba uSithole.

Uthe njengoba sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuthi kubhalwe izivivinyo akazi ukuthi bafundi abadilikelwe yikilasi bazobhalelaphi.

“Siyathandaza nje ukuthi lingani ukuze bakwazi ukubhalela emnyango. Isimo sinzima siyafisa okungenani silethelwe amagumbi angomahambanendlwana ukuze sikhosele kuwona sisalinde ukulungiselwa,” kusho uSithole.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqoshe wezemfundo, uMnuz Mthandeni Dlunwgane, uthe zingaphezu kuka-300 izikole ezoniwe yimvula esifundazweni.

Bayangenelela basize ngamagumbi angomahambanendlwana uma sekuphazamiseka ukufunda.

“Sizohambisa amagumbi angomahamba nendlwana kulesi sikole ngoba uthola ukuthi ezinye noma zonakele kodwa kusuke kusasebenzeka kuzona. ENkangala Secondary akusasebenzeki yingakho sizothumela amagumbi angomahamba nendlwana,” kusho uMthethwa.

“Kunohlelo olulandelwayo uma kuzokwakhiwa isikole noma sizolungiswa. Uthola ukuthi isikole sisohlwini lokwakhiwa kodwa kuhamba kancane ngoba kusuke kusalandelwa lolu hlelo,” kusho uMthethwa.

Kuboshwe abane ngokubulawa kwabaseNteke

$
0
0
KUBOSHWE abalisa abane abasolwa ngecala lokubulala abantu abahlanu eNteke, ngaseMariannhill ngeledlule.

Abasolwa baboshwe ngokuhlukana ngeSonto ngesikhathi amaphoyisa ophiko olulwa nobugebengu obuhleliwe, olwezobunhloli, abaphenyi baseMariannhill nawaKwaNdengezi belandela umkhondo ngabasolwa kulesi sehlakalo esashiya umphakathi ushaqekile esenzeka ngoLwesine ebusuku.

Kulesi sigameko kwabulawa uNksz Thembeka Mchunu (37), Mnuz Mlindeni Gwala (28), Nsindiso Gwala (19) noKholwani Dube (20) abangabafundi noMnuz Linda Meyiwa (27).

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aqale abopha abasolwa abathathu eNteke ngezikhathi zasekuseni kwathi ntambama aphikelela KwaNdengezi abopha umsolwa wesine. Umsolwa wesine utholwe nesibhamu nezinhlamvu ezingu-11. Abasolwa ababoshiwe baneminyaka ephakathi kuka-21 no 30.

Bazovela maduze enkantolo ngecala lokubulala. Umsolwa wesine uzophinde abekwe icala lokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

UKhomishana wamaphoyisa obambile esifundazweni, uMajor General Bheki Langa, uncome amaphoyisa ngomsebenzi wawo wokubopha abasolwa ngokushesha.

“Ngeke sibamele abantu ababulala abantu bomphakathi abamsulwa. Sinethemba lokuthi abaphenyi bazodlulisela idokodo eliphenyisisiwe kubashushisi ukuze bashushiswe ngempumelelo abathintekayo,” kusho uKhomishana uLanga.


Umasipala weTheku usuyalele abantu ukuthi bahlale endlini

$
0
0

Umasipala weTheku usuyalele abantu ukuthi bahlale ezindlini ngenxa yesichotho esihlasele leli dolobha nezinye izindawo KwaZulu-Natal.

 

Lo myalelo ulandele ukuvela kwezithombe ezinkundleni zokuxhumana ezikhombisa ubunzima obubhekene nabantu emgwaqeni ikakhulukazi labo abahamba ngezimoto. Umgwaqo uN2 uma ubheke eningizimu neTheku usuvaliwe ngenxa yezikhukhula.

Emphakathini eyakhelene naleli dolobha sekuvele imibiko ngezihlahla esezishayeke phansi ngenxa yomoya onamandla kanti sekusuke uphahla kweminye imizi.

Imvula ehambisana nomoya onamandla eThekwini

“Ngenxa yokubheda kwesimo sezulu eThekwini, sinxusa bonke abantu ukuthi bahlale endlini kuze kudlule lemvula enamandla," kusho uTozi Mthethwa, okhulumela umasipala waseThekwini. 

"Sixwayisa abantu ukuthi bangashayeli futhi bangayindawo nangazinyawo. Yonke imigwaqo eseningizmu neTheku ivaliwe," kuqhuba yena. 


Izimoto zivaleleke kanje ngaseSiphingo eRhekwini ngemuva kwemvula enamandla ngoLwesibili. Isithombe: SITHUNYELWE

Izinombolo zabezimo eziphuthumayo ezingaba usizo njengoba kuhlasele imvula nezikhukhula eThekwini:

-Sea Rescue: 031 3618567
-Emergency Services: 0313610000
-Metro (Public) Ambulance: 10177
-ER24 Ambulance: 084 124
-Electricity Faults: 080 131 3111
-Vehicle Breakdown (AA): 083 843 22


BUKA: Umkhuba omusha wentsha ezinkundleni zokuxhumana

$
0
0
SEKUPHINDE kwaqubuka umkhuba omusha osematheni ezinkundleni zokuxhumana obizwa nge #ICUChallenge. 

Kusukela ngempelasonto abantu, ikakhulukazi intsha, basabalalisa izithombe ezifakwe abantu abenza engathi basesibhedlela bafakwe idriphu.

Lokhu nokho kwenziwa njengehlaya lakamuva ezinkundleni zokuxhumana njengoba abakwenzayo besebenzisa izinto ezihlukahlukene njengama 'driphu' abo, kanti nezintambo ezibonakalayo kuvame ukuba ezoku-chager amaselula. 

Omunye 'usebenzise' iCoke njengeDriphu yakhe
Abanye bafaka namakhompyutha eceleni kwabo belingisa benza engathi base ICU esibhedlela. Isithombe: FACEBOOK
Abanye baze babe nodokotela babo


Lo mkhuba uqubuka nje, emnyakeni edlule kuke kwakhuzwa omunye ocishe ufane owawubizwa nge#Deadpose, lapho abantu babezishutha izithombe kungathi bafile belele phansi. 


Kusolwa owayengungqongqoshe 'ngobuhlathi' ngokushona kwabangu-118

$
0
0

UMXAZULULI ezindabeni ezithinta ezempilo, uSolwazi Malegapuru Makgoba, utshele ikhomishini ephenya ngokufa kweziguli eSidimeni ukuthi ukushona kwabantu abangu 118, abaphazamisekile emqondweni kwaba wumphumela wokungawazi umsebenzi ezisebenzini, nokuthi lowo owayenguNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng, uNkk Qedani Mahlangu, wayengazi lutho ngomsebenzi wakhe.

"Ngicabanga ukuthi kukhona ubuhlathi obabakhona ngoba izexwayiso zazikhona kodwa umnyango wangenza lutho," kusho uMakgoba.


UMakgoba ubehlohlwa ngemibuzo ngu-Advocate Dirk Groenewald omele imindeni emithathu eyalahlekelwa izihlobo zayo.


Ijaji eselathatha umhlalaphansi uDikgang Moseneke ubuze uMakgoba ukuthi ngabe yini eyadala uNkk Mahlangu ukuba athuthe iziguli azisuse eSidimeni aziyise kwezinye izikhungo okwaholela ekutheni kube nenhlekelele yize wabe esexwayisiwe.


UMakgoba uphendule ngokuthi uNkk Mahlungu wayengazi ngomphumela wesenzo sakhe.


UMakgoba uphinde watshela ikhomishini ukuthi imindeni ihlale izinyanga ingazi lutho ngokuthi kuqhubekani ngezihlobo zayo.


Uthe umnyango awukaze uzihluphe ngokutshela imindeni ngokuthi izihlobo zawo zazithuthelwa kuphi.

UMakgoba uthe umunye umzali wazi ngemuva konyaka ukuthi ingane yakhe ikuphi kulandela ukuthi yamfonela imhalalisela ngosuku lakhe lokuzalwa.



Idlule nabane imvula enamandla KwaZulu-Natal

$
0
0
ZISHIYE kukhalwa izimvula ebezihambisana nomoya onamandla KwaZulu-Natal ngoLwesibili njengoba kushone ilanga sekushone abane.

UMnuz Lennox Mabaso obhekelele ezokuxhumana eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uthe kushone intombazanyana eneminyaka eyisishiyagalombili eshaywe wumbani eMbewunye eNquthu ngoMsombuluko ebusuku.

Kuphinde kwashona indoda (46) emuke izama ukuwela umfula obugcwele KwaMngxangala eNquthu ngoLwesibili.

UMnuz Nick Dollman wakwa-Netcare 911 uthe izolo, kushone indoda (40) eyiphoyisa eselathatha umhlalaphansi emuva kokuthi imoto ebihamba ngayo iwelwe yikhonteyna.

Le ndoda ikhishwe ngabezimo eziphuthumayo besebenzisa izindlawu ngoba imoto ebihamba ngayo iphenduke  isicaba kwathi umgibeli ebihamba naye oyiphoyisa waphuthunyiswa esibhedlela.

Kuphinde kwashona umsebenzi woPhiko lwezamaPaki nokuNgcebeleka kuMasipala weTheku owelwe wudonga abekhosele kulo ebhishi.

Amabhishi aseThekwini avaliwe kuze kube isimo siba ngcono. 

Isazi sesimo sezulu uMnuz Aslam Sardiwalla we-SA Weather Services utshele Isolezwe ukuthi lokhu okwenzeka KwaZulu-Natal yisimo sezulu esijwayelekile njengoba kusuke umsinga obandayo weza ngasemhlabeni usuka olwandle kwase kuna imvula ehambisana nokuduma kwezulu.

“Ngizwile ukuthi kunabantu abathi yisishingishane uSfiso lezi zimvula. Iqiniso wukuthi asinazo isishingishane kodwa sinemvula enamandla edala izikhukhula ezindaweni eziphansi. Okuhle wukuthi lo msinga obandayo usubuyela ngasolwandle okusho ukuthi imvula izoma kusasa (ngoLwesithathu),” kusho uSardiwalla.

Uthe yize engeke abanikeze abantu isiqiniseko sokuthi ngeke zibuye izimvula ezinamandla kodwa angakusho wukuthi ihlobo lalo nyaka lizohambisana nemvula. 

UMnuz Sam Mkhwanazi ophethe ezokuxhumana eMnyangweni wezeMpilo KwaZulu-Natal uthe zinhlanu izibhedlela ezithikanyezwe yimvula yayizolo eThekwini, okuyiKing Edward, King Dinuzulu, Addington, Wentworth nePrince Mshiyeni Memorial.

Uthe yize imvula iphazamisile kodwa zonke iziguli ziphephile futhi ziyasizwa kulezi zibhedlela. 

Kuphazamiseke ukusebenza emabhizinisini amaningi aseThekwini ngenxa yemvula yayizolo okubalwa nakwa-Toyota South Africa, eProspecton, eThekwini. 

UMengameli wakwaToyota South Africa Motors uMnuz Andrew Kirby uthe kulimale izakhiwo zabo, izimoto nemishini eyakha izimoto zakwaToyota ngenxa yemvula. 

“Sijabulela ukuthi abasebenzi bethu baphephile ngoba akekho noyedwa olimele. Siphoqeleke ukuthi simise ukusebenza ngenxa yemvula ena mlibe. Umsebenzi uzoqala ngoLwesine,” kusho uKirby. 

UNkk Shulami Qalinge oyisikhulu esiphezulu kwaTransnet National Ports Autority (TNPA) uthe bamise imikhumbi eza emachwebeni abo aseThekwini naseRichards Bay ngenxa yemvula ebihambisana nomoya onamandla. 

Uveze ukuthi eminye imikhumbi ibiphuma echwebeni iza ngasosebeni ilimaza yingakho bephoqeleke ukuthi bakumise kancane ukuza kwemikhumbi.

UMnuz Mthunzi Gumede okhulumela iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede uthe iMeya iyalusukumela udaba lwezitamkoko ezingasebenzi kahle okuholela ekutheni imigwaqo eminingi igcwale amanzi. 

"IMeya izolulungisa udaba lokuhlanzwa kwezitamkoko kodwa siyacela nabantu bangalahli udoti ngendlela engahlelekile. Siyacela abantu bafonele abophiko lwezimo eziphuthumayo batshele namakhansela abo uma bekhahlanyezwe yimvula," kusho uGumede. 

UDlungwane ujuba ithimba elizohlola umonakalo ezikoleni

$
0
0
UNGQONGQOSHE woMnyango wezeMfundo, uMnuz Mthandeni Dlungwane, usejube ithimba elikhethekile elizohlola umonakalo wemvula ezikoleni zaKwaZulu-Natal ukuqinisekisa ukuthi abafundi baphephile.

UMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uDlungwane, izolo uthe bayitholile imibiko yokuthi kunezikole ezenzakaliswe yimvula, bazophenya ukuze zilungiswe.

“Ithimba eliphenya umonakalo lizoqhubeka nokuqoqa ulwazi bese sidlulisela imininingwane emnyangweni wemisebenzi kahulumeni. Ukufunda nokufundisa kuzoqhubeka uma izangoma zezulu zithi kuphephile. Abazali sicela bahlale beqaphile uma isimo siphephile bazihambise izingane ezikoleni kodwa uma kukubi bazigcine emakhaya,” kusho uMthethwa.

Kusuke uphahla esikoleni iSouth Coast Madressa School eClairwood eThekwini


UNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, ucele abashayeli ukuthi bacophelele emgwaqweni futhi balandele imithetho yomgwaqo.

Nanka amasu azosiza abantu ukuze bahlale bephephile emvuleni:

Ekhaya

-Yiba nezinombolo zabezimo eziphuthumayo eduze.

-Beka ukudla okusemathinini eduze nento yokukuvula ukuze uma kunesimo esiphuthumayo ube nokudla namanzi.

-Yiba nomsakazo osebenzisa ibattery, ithoshi nezimpahla ezomile eduze.

-Qinisekisa ukuthi unebhokisi losizo lokuqala eliseduze.

-Cima yonke impahla kagesi esendlini, uvale amawindi nezicabha.

-Hlala endaweni ephephile lapho ungeke ukhukhulwe khona yimvula.

Akukaziwa zizoqala nini ukusebenza izitimela eKZN

$
0
0
ABAKWA-METRORAIL KwaZulu-Natal bathi abakazi ukuthi zizoqala nini ukusebenza izitimela KwaZulu-Natal ngemuva kokuphazanyiswa yimvula enamandla izolo. 
Bathi basathumele abahloli abayobheka isimo ukuze bakwazi ukusho ukuthi kungenzeka ziqale nini ukusebenza kwezitimela. Indawo abathi ikhahlamezeke kakhulu okungenzeka kuthathe isikhathi ukuthi izitimela zibuye kuyo iseMlaza 

Isihluku enqunywa uqhoqhoqho emagcekeni esikole

$
0
0
UHLALELE ovalweni umphakathi waseMngwempisi eBulwer, ngemuva kokunqunywa kukanogada wesifazane intamo emagcekeni esikole asebenza kuso.

Isidumbu sikaNkz Happiness Hadebe (29) sitholwe ngasesangweni lesikole iPholela High, enqunywe uqhoqhoqho washiywa kanjalo ngeledlule.

Lo wesifazane utholwe ngowesilisa obezoshintshana naye emsebenzini.

Unogada wesilisa kuthiwa esabheka isimo esikoleni, ubuye lo wesifazane esebulewe.

Kumanje umsolwa akaziwa nokwenza kube nzima ukuba abesifazane bakule ndawo bakhululeke. Kubikwa ukuthi kunomunye ohlala sigodini sinye noNksz Hadebe, okumanje kusafunwa ikhanda lakhe emva kokubulawa ngokunqunywa.

Ikhansela laku-ward 12, uMnuz Vusi Mthembu, lithe baphithene ikhanda ngenxa yalesi sigameko esishaqisayo.

“Kumanje umphakathi usuphila ngokwesaba ikakhulukazi abesifazane. Sifuna amaphoyisa abophe umsolwa khona sizokwazi ukuphefumula ngoba umphakathi uyesaba,” kusho uMthembu.

Umufi kuthiwa ubeyilungu eliqavile le-ANCYL ku-ward 12.

“Kuningi esilahlekelwe yikho ngoba ubehamba phambili ekusizeni umphakathi,” kusho uMthembu.

Isolezwe litshelwe ukuthi lo wesifazane uhlaselwa nje ubethola izinsongo zokuthi akawuyeke umsebenzi njengoba eqashwe ukuba unogada esikoleni esingekho kwi-ward yakhe. Isikole siku ward 10, yena uhlala ku-ward 12. Lo msebenzi wokuba unogada kuvele ukuthi baningi abebewugaqele.

Umfowabo kamufi, uMnuz Gugulezwe Hadebe uthe bake bazizwa lezo zinkulumo ngesikhathi esebulewe udadebawo.

“Siphatheke kabuhlungu kakhulu ngendlela enesihluku okubulewe ngayo udadewethu, wanqunywa intamo, kwashiywa yonke into yakhe ngisho nesikhwama ebesinemali okucacisayo ukuthi ababulali bebehlose ukuzombulala nje. Sizizwile izinkulumo ezithi kukhona abebekhala ngokusebenza kwakhe esikoleni ekubeni ehlala kwenye i-ward kodwa-ke sibheke amaphoyisa ukuba aphenye bese kuboshwa umbulali. Sifuna ukwazi ukuthi bekwenzenjani beze bembulale,” kusho uHadebe.

Uthe udadewabo ubenesikhathi esingaphansi konyaka esebenza kulesi sikole.

Umufi unengane eneminyaka emine abeyondla.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa ase-Bulwer aphenya icala lokubulala emuva kokutholwa kwesidumbu sowesifazane.

“Akekho osaboshiwe kodwa uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka,” kusho uZwane.


Ukhala ngesibhedlela 'esimqede ubudoda'

$
0
0
UZIFANISA nomuntu obulawe ephila owesilisa waseMtubatuba, osekuphele iminyaka emibili egqoka amanabukeni namaqakelo ngenxa yokuchama ngezimbobo ezadalwa ukuhlinzwa kwethumba esithweni sakhe sangasese.

Lo wesilisa oneminyaka engu-43 igama lakhe eligodliwe ukumvikela, ukhala mi izinyembezi uma exoxa ngosizi lwakhe. Uthe uzibona engaseyona indoda njengoba esechama aqoshame ngenxa yezilonda ezisesithweni sangasese. Uthe waya emtholampilo eBallito ngo-Ephreli 2015 emilwe yithumba, wadluliselwa esibhedlela eStanger.

“Udokotela wangisika ngezansi kobuntu bami, kwasala imbobo wangangithunga. Ngabuye ngaphindela esibhedlela ngoba imbobo ingavaleki. Udokotela wangifaka ipayipi lokuchama. Umchamo ugcine uphuma ezimbotsheni ezimbili nakweyepayipi,” echaza.

Uthe ngonyaka odlule waphindela esibhedlela waphinde wasikwa phakathi kwamankwahla, nakhona sekuphuma umchamo. Ngonyaka odlule ubengena ephuma ezibhedlela elaliswa kodwa kungekho ubungcono.

“Ngisola nokuthi kukhona umthambo owanqamuka ebuntwini bami ngoba akusathi shu. Angisakwazi nokuhlala namanye amadoda ngoba uma ngiphiswa ukuchama kumele ngiqoshame ngoba umchamo usuphuma ezimbotsheni hhayi ebuntwini bami. Ngisho abazali bami angibatshelanga ukuthi nginale nkinga ngoba ngisaba ihlazo. Sengifisa kwazi ngisho umhlaba wonke ngoba vele sengiyabona ngizofa, nesithunzi sami siphelile. Sengigqoka inabukeni lephepha, ngivale nangama-pads ukuvimba umchamo obuye uziphumele,” kusho le ndoda.

Ngesikhathi exoxa udaba lwakhe ubelokhu ehlina ekhala ngezinhlungu, uthe usehlala enephunga elingabekezeleleki ngenxa yomchamo nobomvu. Uthe uma eye esibhedlela unikezwa amaphilisi nomjovo kokudambisa izinhlungu okwesikhashana. Uthe udokotela wakhe wamenzela incwadi yokuyobhalisa impesheni, atshelwe ukuthi ngeyesikhashana. Useyivuselele kathathu kanti okokugcina nonyaka watshelwa ngabakwaSassa ukuthi uma isiphelile ngeke isavuselelwa.

“Bathe angikhubazekile kodwa lena yinkinga okumele ilungiswe yisibhedlela. Senginqena nokuya esibhedlela ngoba alukho usizo engilutholayo, kwesinye isikhathi ngitshelwa ukuthi kumele ngilinde udokotela owangihlinza.”

UMnyango wezeMpilo esifundazweni izolo uthe lesi siguli sisesibhedlela sisahlolwa ngudokotela, kusalindwe izimpendulo ngodaba lwaso.

UMasuluke ucela amavoti ngegoli lakhe

$
0
0
UNOZINTI weBaroka, u-Oscarine “Lang One” Masuluke, ufongqa isigqoko kubantu baseNingizimu Afrika ukuthi bavotele igoli lakhe eliqokwe namathathu ahamba phambili emhlabeni kuma-Puskas Awards azoba ngo-Okthoba 23, eLondon, e-England.

NgoMsombuluko, inhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa, imemezele ukuthi igoli likaMasuluke lingelinye lamathathu avotelwe kakhulu emhlabeni okuzoqokwa kuwona elidle umhlanganiso. Leli goli, eliwuqethu, uMasuluke ulishaye ngesizini edlule ngesikhathi esengezwe ngunompempe bebhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiership ophele zibambene ngo 1-1. Amanye amagoli amabili azobanga umklomelo nelikaMasuluke, ashaywe ngu-Olivier Giroud waseFrance ongumgadli we-Arsenal edlala kwi-English Premier League (EPL) nomdlali wesifazane waseVenezuela, uDeyna Castellanos.

Kungokokuqala ukuthi umdlali wase-Afrika aqokwe kwabathathu abashaye amagoli ahamba phambili emhlabeni. Nyakenye, elikaHlompho Kekana alishaye iBafana Bafana ibhekene neCameroon emdlalweni wokuhlungela umqhudelwano i-Africa Cup of Nations ophele ngo 2-2, liswele amavoti ukufinyelela kwamathathu okugcina.

“Lokhu kuyinto enkulu kimina, bonke abantu bayangeseka. Angisalali abantu bayangifonela bangifisela inhlanhla futhi bayangijabulela. Ngiyabonga kubantu baseNingizimu Afrika ngokungivotela emzuliswaneni wokuqala. Ngicela bavote kakhulu manje ngoba sekusekugcineni.

“Nginalo ithemba lokuthi ngizobuya nawo umklomelo. Ukuthi igoli lami seliqokwe kwamathathu okugcina emhlabeni kukhombisa kona ukuthi linalo ithuba lokuwina,” kusho uMasuluke.

Nakuba igoli likaMasuluke libatshazwa yiningi emhlabeni kodwa alilibonanga elidlalayo emiqhudelwaneni yePremier Soccer League (PSL). USiphiwe Tshabalala weKaizer Chiefs uyena owine i-Absa Premiership Goal of The Season ngegoli alishaye bebhekene neSuperSport United.

“Angigxeki muntu ngalokho. Ukuthi aliwinanga akulona iphutha lomuntu. Engikujabulelayo ukuthi manje likhethwe emhlabeni. Lidinga ukwesekwa ngamavoti,” kusho uMasuluke.

Usihlalo weBakgaga, uKurishi Mphahlele, uthe akakwazi ukuyichaza injabulo yakhe ngokwehlele iqembu lakhe. Uveze ukuthi uMasuluke uzovaleliswa ngedili.

“Kuyingqophamlando ukuthi igama leBaroka lizomenyezwa phesheya kwezilwandle, umhlaba wonke ulizwe. Lokhu akukhona okweBaroka neLimpopo kuphela kodwa okweNingizimu Afrika ne-Afrika yonke. Ithimba lami lezokumaketha liphume umkhankaso wokunxenxa abantu kwiCosafa nakwiCAF ukuthi basabalalise indaba yokuvotelwa kwegoli likaMasuluke. Lo mlando ngeke ukhohlakale ngisho eminyakeni engu-100 ezayo,” kusho uMphahlele.

Babuyele enkantolo abazwelana noSenzo Mchunu

$
0
0
UHLANGOTHI lwe-ANC KwaZulu-Natal olwavunwa yinkantolo yaseMgungundlovu eyachitha ubuholi be-ANC esifundazweni obakhethwa engqungqutheleni yesifundazwe ngo-2015, bufuna lesi sigungu siphume emahhovisi ekomkhulu lale nhlangano eThekwini.

NgoLwesibili lolu hlangothi lubuyele kule nkantolo luyophikisa isinqumo sokudlulisa isinqumo esifakwe wuhlangothi olwachithwa yinkantolo oluholwa nguSihlalo uMnuz Sihle Zikalala.

Uhlangothi oluye enkantolo luzwelana noMnuz Senzo Mchunu owayenguSihlalo we-ANC esifundazweni owahlulwa nguZikalala engqungqutheleni eyayingoNovemba 2015 eMgungundlovu.

Okhulumela abavunwa yinkantolo, uMnuz Sthembiso Mshengu, uthe bayile enkantolo yaseMgungundlovu izolo emini beyofaka amaphepha okuphikisa isinqumo sesigungu sikaZikalala sokudlulisa icala.

Uthe ngokwabo ayikho enye inkantolo eyofinyelela esinqumeni esihlukile kunalesi esathathwa iqoqo lamajaji eMgungundlovu.

“Sethemba ukuthi isigungu sesifundazwe sizokwenza okufanelekile siyeke ukusebenza. Sifuna isigungu sikazwelonke siqhubeke nokuqoka ithimba lesifundazwe lesikhashana elizohlanganisa wonke umuntu ukuze kulungiselelwe ingqungquthela yangoDisemba,” kusho uMshengu.

Uthe bafuna baphume emahhovisi kusalindwe isinqumo senkantolo okudluliswe kuyo amacala.

Kwenzeka lokhu nje, esithangamini sabezindaba ngeledlule uNobhala we-ANC esifundazweni, uMnuz Super Zuma, uthe bawafakile amaphepha enkantolo okuphikisana nesinqumo senkantolo sangoSepthemba 12, indaba yokubunjwa kwethimba lesikhashana elizohlanganisa uwonke wonke (PTT) abayikhulumi ngoba badlulise isinqumo bazohlala emahhovisi baqhubeka nomsebenzi we-ANC.

UBenjamin Dube wethula i-albhamu eKZN

$
0
0
KUZOTHELEKA abaculi abangu-23 abacula owokholo uma uBenjamin Dube esezokwethula i-albhamu yakhe entsha kubantu baKwaZulu-Natal ngesonto elizayo.

UBenjamin uzokwethula le albhamu ethi Victorious In His Presence with Benjamin Dube eHillcrest, eCity Hill Auditorium, ngo-Okthoba 21.

UKingdom Lady Thabi, wenkampani iKingdom Lifestyle Event ehlela lo mcimbi, uthe konke sekumi ngomumo abantu abazilungisele umcimbi omkhulu ozobashiya bebambe ongezansi.

“Sijabule ngokuthi azokwethula le albhamu KwaZulu-Natal. Abantu abaphume ngobuningi babo njengoba simazi lo mculi wokholo ukuthi akaphoxi nakancane. Intshumayelo nokudumisa konke kuzobe kukhona kulo mcimbi,” kusho uKingdom Lady.

Uthe amadodana alo mculi aziwa ngeDube Brothers azobe ekhona kule khonsathi njengoba kukhona izingoma azicula nawo ezikule albhamu.

“IDube Brothers okungamadodana akhe, uXolani Mdlalose, Unathi Mzekeli, Phuthuma Yisa nabanye bazoba khona kulo mcimbi. Le albhamu okuthokozisa ngayo ukuthi akuphelanga ngisho inyanga iphumile yabe ifinyelela esigabeni segolide, okucacisa khona ukuthi abantu bayayithokozela,” kuchaza yena.

Uthe kulo mcimbi amasango azovulwa ngehora lesine ntambama, abaculi baqale ukungena esiteji ngehora lesihlanu.

“Abaculi baKwaZulu-Natal bokholo bazovula inkundla. Amathikithi okungena ayatholakala eComputicket kusuka ku-R200, R350 no-R400,” kuchaza yena.

Sinyukele ku-11 isibalo sabadlule nemvula enamandla eKZN

$
0
0
SESINYUKELE ku-11 isibalo sabantu abadlule nemvula enamandla ehlasele iKwaZulu-Natal ngoLwesibili ekuseni. NgoLwesithathu amaphoyisa ashicilele isitatimende edalula ukuthi asamatasa nabezimo eziphuthumayo bazama ukulekelela abantu ukuze bagweme ukunyuka kwesibalo sabashonile. 

"Sebebalelwa ku-11 abantu abashonile baseMlaza, eSiphingo, KwaMakhutha nasenkabeni yeTheku. Kusathungathwa abantu abahlanu abasadukile kusukela izolo (ngoLwesibili)" kusho okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thulani Zwane. 

Amaphoyisa athe sebeshayelwe izikhawu ezingaphezulu kuka-150 selokhe kufike le mvula, kanti basebenzisana ngokubambisana nabezimo eziphuthumayo ukulekelela abantu. 

"Abantu bashone ngokugwiliza, ukuwa kwezinto phezu kwabo kanti abanye bashone ngokuvaleleka ezimotweni. Amaphoyisa asacinga abantu abangakatholakali," usho kanje. 
 

Isolezwe

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>