Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Bakhathazekile ngezikole ezizovalwa

$
0
0

Umphakathi waKwaNongoma uphithene amakhanda ngomyalelo kaNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Senzo Mchunu wokuba kuvalwe izikole ezine esigodini esisodwa.

|||

CELANI SIKHAKHANE

UMPHAKATHI waKwaNongoma uphithene amakhanda ngomyalelo kaNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Senzo Mchunu wokuba kuvalwe izikole ezine esigodini esisodwa, okuhlanganisa nesiqanjwe ngonina weSilo samaBandla KwaNongoma.

Lezi zikole okungezamabanga aphansi zisesigodini iNgoqongwane, kuthiwa uMchunu ufuna ukuzivala, abafundi bathuthelwe kwezinye ezikude kakhulu.

Phakathi kwezikole ezizovalwa kubalwa iQueen Thomozile Primary, eqanjwe ngeNdlovukazi uThomozile Ndwandwe ozala iSilo samabandla, yiMpumalanga Primary, Mankulumane Primary okuyiyo esuse umsindo kuqala, neNsolwane Primary.

Abafundi balezi zikole, uMnyango kuthiwa ufuna ukubakhipha kuzona uyobafaka eQueen kaMsweli eseduze kwesigodlo saseNyokeni, esebangeni elingamakhilomitha angu-9 kanti abanye kuhlelwa ukuthi bafakwe esikoleni iQueen kaMathathela.

“Isiphethe kabi le nto uMchunu afuna ukuyenza ngoba okokuqala zona lezi zikole asezivala kade zabakhona futhi zakhiwa nguMnyango wakhe njengoba esefuna ukusihluphekisa azivale,” kusho esinye isakhamuzi ebesiphatheke kabi.

Iningi lezingane ezifunda ezikoleni ezizovalwa lineminyaka ephakathi kwemihlanu kuya kwengu-10 kanti abazali banovalo lokuthi zingahlaselwa yizigebengu uma sezilubhada ngonyawo ziya ezikoleni ezintsha.

Esinye sezikole esisuse umsindo kule ndawo iMankulumane Primary okuthiwa umphakathi wafaka isicelo sokuba yakhiwe ngo-2004 kodwa uNgqongqoshe wangaleso sikhathi okwakunguNkk Ina Cronje wagunyaza ukuba sakhiwe ngo-2005.

“Ngaleso sikhathi uMnyango wezeMfundo waletha amagumbi esikhashana amabili ayimijondolo, wasifakela namathoyilethi amabhakede kwabiywa.

Emva kwalokho akuphindanga kwaqhubeka lutho ngaphandle kokuthi safakelwa othisha. Kuthe uma sibona kuhamba isikhathi sacela iMeya uNkk Zanele Magwaza-Msibi ukuba asisize ngamagumbi okufunda nokunye okungasiza izingane nothisha, babe sendaweni ephephile. Kuthe kusenjalo sezwa kuthiwa uNgqongqoshe uMchunu uxabana naye ngalokho, usekhuluma ngaye le koMzimkhulu ekubeni kuyithina singumphakathi esamcela,” kusho uMnuz Zungu owale waphetha negama lakhe ongusihlalo wabazali eMankulumane.

UMnuz Simon Mahlambi oyinduna, uthe abathandi ukuba izikole zivalwe ngoba ngisho uMnyango ungathembisa ukuthi uzobathutha abafundi lokho bayazi ukuthi kuyokwenzeka isikhashana bese abantu bezimoto beyeka, sebethi abakhokhelwa.

UMnuz Muzi Mhlambi okhulumela ezeMfundo esifundazweni, uthe akulona iqiniso ukuthi izikole ziyavalwa kodwa uNgqongqoshe usaxhumana nabazali ukuze baqhamuke nesixazululo.

Uthe okunye abakubhekayo kulezi zikole yisibalo sabafundi nokubheka ukuthi basizakala kangakanani kuzona ngaphambi kokuqhubeka nohlelo lokubayisa kwezinye.

“Empeleni akusizona kuphela izikole zaKwaNongoma ezikulesi simo kodwa zikhona nakwezinye izindawo esifundazweni. Nakuzona uNgqongqoshe uMchunu ubengakasithathi isinqumo ngoba usaxhumana nezinhlaka zomphakathi bese kuvunyelwana ngento eyodwa,” kusho uMhlambi.

Uthe isikole iMankulumane asikaze sigunyazwe uMnyango wezeMfundo kodwa savele yakhiwa nje bengayazi, bewuMnyango babona ukuthi abasisize ngothisha abane nangezinsiza.


Kufunwa owaduka ehanjiswe eNorthdale

$
0
0

Awusazi ukuthi wenzenjani umndeni womsebenzi woMnyango wezoLimo, eCedara eMgungundlovu, osekuphele izinyanga ezine kungaziwa ukuthi kwenzekani kuye.

|||

BAWINILE NGCOBO

AWUSAZI ukuthi wenzenjani umndeni womsebenzi woMnyango wezoLimo, eCedara eMgungundlovu, osekuphele izinyanga ezine kungaziwa ukuthi kwenzekani kuye emuva kokuthi engene esibhedlela eNorthdale, egwazwe ngunina wengane yakhe.

UMnuz Velile Nyawo (24), waseNgwavuma obehlala eMgungundlovu, kuthiwa wangeniswa esibhedlela ngo-Disemba 1 nyakenye ekade ethathwe yi-ambulensi lapho ayelimalele khona kodwa akwaziwa ukuthi emuva kokuthi i-ambulensi imshiye esibhedlela washonaphi ngoba kuze kube yinamuhla akakaze abonwe.

Bephendula imibuzo yaleli phephandaba abesibhedlela iNorthdale bathe uNyawo akakaze alaliswe kulesi sibhedlela.

Bathe wafika, washiywa yi-ambulensi kodwa wanyamalala engakabonwa ngudokotela.

Lesi sibhedlela sithi sacela umndeni ukuthi ubhale incwadi yokukhalaza ukuze baqale uphenyo kodwa ubungakakwenzi lokhu.

Umalume wakhe, uMnuz Zibonele Myeni, uthe bathola umbiko wokuthi indodana ixabane nonina wengane yayo yagcina ngokugwazwa.

“Esabafica lapho kwenzeka khona isigameko bathi wathathwa yi-ambulensi. Uma siya esibhedlela bathi igama lakhe likhona emabhukwini abalethwa yi-ambulensi kodwa akucaci ukuthi wanyamalala nini futhi kanjani ngoba wayengakamboni udokotela,” kusho uMyeni.

Uthe akukho lapho abangayanga khona bembheka kodwa umkhondo abawutholi.

“Sesingene zonke izibhedlela, amakhaza sanamathisela nezithombe zakhe sicela abambonayo ukuthi basithinte kodwa lutho,” kusho uMyeni.

Uthe unina wengane uthi yena akazi ukuthi wayiswa kusiphi isibhedlela ngoba wathi uma ethathwa yi-ambulensi yena wathathwa ngamaphoyisa.

Uthe umazisi nesikhwama semali kamshana wakhe kuze kube namuhla abakwazi kodwa amafoni akhe bawanikwa ngunina wengane yakhe.

UNkk Winile Nyawo, ongunina omncane kaNyawo, uthe luyindida udaba lokuduka kwengane yakhe ngoba kwabantu okumele ngabe bayakhuluma ukuthi kwenzekani ngempela abaphumi nezimpendulo eziqondile.

Uthe abasazi noma usaphila, uthunjiwe noma washona waphoswa emfuleni.

UNkk Nyawo uthe abakwazi ukulahla ithemba ngendodana yakhe ngoba kuningi okubadidayo ngokulimala kwayo abafuna ukukuthola.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Thulani Zwane, uthe umsolwa waboshwa emuva kokuthi uNyawo ewatshele ukuthi ugwazwe yintombi yakhe.

“Umsolwa wavela enkantolo, icala lahoxiswa okwesikhashana ukuze kuqhubeke uphenyo,” kusho uZwane.

Uthe amaphoyisa aseMountain Rise ayaluphenya udaba lokulahleka kukaNyawo.

Wavuka esehlinzwe unyawo eyele okunye

$
0
0

Imile impilo kowesifazane owahlinzwa onyaweni ekade eyokhishwa amatshe esiswini esibhedlela iRK Khan.

|||

NONHLANHLA MKHABELA

IMILE impilo kowesifazane owahlinzwa onyaweni ekade eyokhishwa amatshe esiswini esibhedlela iRK Khan.

Uthi akasakwazi ngisho ukunyathela futhi useze wazama nokuzibulala ngalokhu.

NgoJulayi wonyaka u-2011, uNkk Nonkululeko Thabethe (30) waseChatsworth, eThekwini, wangena esibhedlela eyohlinzwa ukuze akhishwe amatshe kodwa wathi evuka wathola ukuthi usehlinzwe onyaweni.

“Ngathi sengiphapheme ngakusasa umama wabona umthungo onyaweni engangingawunakanga ngoba vele ngangizwa izinhlungu zokuhlinzwa. Sathi sibuza ukuthi owani umthungo osonyaweni kwathiwa bebefuna umthambo wokufaka i-drip ngoba bebengawuboni engalweni,” kuchaza uNkk Thabethe.

Uthe kwadlula isikhathi emuva kokuqaqa imithungo kwaphola esiswini kodwa unyawo lwalokhu luqaqambe njalo.

Wabe esesizwa ngumngani wakhe ongunesi owambheka nalapho athola khona ukuthi kunosinga phakathi wabe esemluleka ukuthi ayolubheka esibhedlela.

“Ngithe ngibuyela udokotela owangibheka wabiza abanye asebenza nabo wabakhombisa ebabuza ukuthi ngabe bayabona yini amaphutha abawenzayo. Kwaphetha ngokuthi kuthiwe ababoni lutho futhi akukho abangangisiza ngakho,” kulandisa uNkk Thabethe.

Uthe waphenduka ihlaya bembuza ukuthi ufuna imali yini khona bezombhalisela imali yesibonelelo.

Ngokubona ukuthi akatholi sizo nezinhlungu ziya ngokumqinisa wabe esenikela emahhovisi oMnyango wezeMpilo eMgungundlovu ngoFebhuwari ngonyaka odlule ukuyobika udaba lwakhe.

“Kwaba nomhlangano phakathi kwami, isibhedlela nawo umnyango kodwa okwangixaka ngukuthi sathi sisemhlanganweni ngacelwa ukuthi ngiphume basala baxoxa bodwa,” kusho uNkk Thabethe.

Uthi isisombululo esaphuma emhlanganweni kwaba wukuthenjiswa ukuthi uma eselashwa uzobhekelelwa ngokuthi angami futhi ahlinzekwe ngezinsiza zokuhamba nokuthi uzobhalelwa incwadi yokumdlulisela esibhedlela iNkosi Albert Luthuli ukuze nabo bamxilonge konke okungenzekanga.

Kuyimanje uNkk Thabethe onezingane ezintathu akasebenzi futhi usehlala ngokusizwa ngunompilo wendawo uNkk Ntomifuthi Zungu ofika nsuku zonke ezomlekelela ngemisebenzi yasendlini.

UNkk Zungu usefake isicelo sesihlalo esinamasondo ukuze uNkk Thabethe ezokwazi ukwenza imisebenzi kangcono.

“Ngiqinisekisa njalo ukuthi ngilale ngibabonile ngoba ngiyabazi ubunzima ababhekene nabo,” kusho uNkk Zungu.

Kuthintwa isibhedlela iRK Khan, ozichaze njengoSister Samuel uthe njengoba kuyimpelasonto obhekelele izindaba esibhedlela akekho no-matron okuba nguyena ombambelayo naye ubengekho.

“Uma kuyisimo esiphuthuma kakhulu siyabafonela kodwa ungaze ukwazi ukubathola ngoMsombuluko,” kusho uSister Samuel.

Bakhishwe ngesidlozana esontweni

$
0
0

Ukhala ngesihluku akhishwe ngaso endlini yesonto abazakhela yona nomyeni wakhe ongumfundisi umama webandla i-Independent Baptist Church kwa-P eMlazi.

|||

NOKUBONGWA PHENYANE noMBALI KHANYILE

UKHALA ngesihluku akhishwe ngaso endlini yesonto abazakhela yona nomyeni wakhe ongumfundisi umama webandla i-Independent Baptist Church (IBC), kwa-P eMlazi, othi bakhishwe amalungu aleli bandla abekhonzela KwaMashu abatshele kwezikabhoqo ukuthi yiwona asezokhonza esontweni laseMlazi.

Izolo isimo besishubile kumalungu ebandla nokugcine ngokuthi kushaywe unkosikazi kamfundisi uNkk Gladys Mhlungu okusolwa ukuthi ushaywe ngelinye ilungu lebandla elisohlangothini lwalaba abafuna ukusontela kuleli bandla ngenkani.

UMfundisi Zephania Mhlungu nowakwakhe bahudulwe bakhishwa ngesango ngemuva kokuthi kutheleke uMfundisi Sithembiso Shongwe nesigugu sakhe besuka KwaMashu bezobatshela ukuthi isonto selingaphansi kwabo.

Umndeni wakwaMhlungu uthe wazakhela indlu yesonto ufika kuleli lokishi njengoba yayingekho kukhonzelwa ezikoleni.

UMfundisi Shongwe okuthiwa ubekhonza KwaMashu ufike kuleli bandla wasusa abefundisi abebehola ibandla wathi nguyena osezolihola engakhulumanga namuntu.

UMfundisi Mhlungu nowakwakhe basola uMengameli waleli bandla, uMnuz John Mbatha, ohlala eVryheid ukuthi nguyena owabeka abantu abangabufundele ubufundisi ezikhundleni.

“Sihlukumezekile ngento eyenzeke kuleli bandla. Ubaba ungumfundisi walakha leli bandla wafuna indawo elizokwakhiwa kuyona futhi wathi akafune kuhola kodwa konke lokhu akwenzayo yingoba enothando lwebandla,” kusho uNkk Mhlungu.

Uthe ngokomthetho webandla akuvele kukhethwe noma ngubani kodwa umuntu ozohola uyahamba ayofundela ubufundisi iminyaka emithathu abuye esezohola ibandla.

“UShongwe simazi ekhonzela KwaMashu kanti kwezinye izikhathi baya esikoleni bacele ukukhonzela khona. Ngesikhathi befika besikhipha kabuhlungu bekukhona umfundisi osiphethe naye abamkhombe indlela namanye amalungu ebandla,” kuchaza uNkk Mhlungu ovele wakhihla isililo eveza izibazi azithole ngesikhathi bekhishwa ngoshova esontweni.

Ngesikhathi Isolezwe lifika kuleli bandla bekukhona abantu akade bemi amaqoqo kubonakala ukuthi isimo sishubile. Bekukhona nabanye ngaphakathi esontweni kuqhubeka inkonzo kugxunyekwe netende obekukhona kulona abantu besifazane abebepheka okusolwa ukuthi bekuzoba nomcimbi wokungenisa umfundisi omusha nesigungu sakhe.

Ilungu elikhulume naleli phephandaba elale laphetha negama lalo lithe izindaba zebandla akuzona ezamaphepha kodwa ezikaJesu.

“Sijabula kakhulu ngalokhu enikwenzile ukuthi nizosibuza ngesixakaxaka esike senzeka la ekuseni. Kodwa abantu abenza konke lokhu siyabazi abasemndenini owodwa. Lolu daba sizolulungisa njengebandla akukho okwamanje esizokuphawula kwabezindaba,” kusho leli lungu lebandla.

Ethintwa uMengameli waleli bandla uMnuz Mbatha uthe yena akazani nangxabano ekhona ebandleni eyenzeke izolo.

“Abantu abanibizile akube yibona abanitshela ukuthi kwenzekani mina angazi lutho futhi ngeke ngiphawule lutho ngalolu daba. Akekho muntu osangitshelile ukuthi bekukhona abalwayo,” kusho uMbatha evutha ngolaka.

Umphakathi ulwa nokuhlukunyezwa

$
0
0

Umphakathi waseMatendeni eSection B, eFolweni uthi ngeke uze uvumele izigilamkhuba zihlukumeze abantu besifazane nezingane bese ziyababulala ukhona.

|||

BAWINILE NGCOBO

UMPHAKATHI waseMatendeni eSection B, eFolweni uthi ngeke uze uvumele izigilamkhuba zihlukumeze abantu besifazane nezingane bese ziyababulala ukhona.

Amalungu omphakathi abebhikisha ngaphandle kweNkantolo eNsimbini izolo ngesikhathi kuvele indoda esolwa ngokubulala owesifazane wakule ndawo, isidumbu sakhe esitholwe ngo-Ephreli 1, singagqokile kwesingezansi sinenxeba lokugwazwa emqaleni.

UNksz Sphindile “Buso” Radebe (37) kuthiwa watholwa ekuseni eseshonile, iphenti nebhulukwe engakugqokile esele ngezimpahla zangaphezulu kuphela.

Umfowabo uMnuz Wiseman Radebe uthe udadewabo wayephuma komalume wakhe ngeSonto ngesikhathi ehlaselwa.

“Sathola ukuthi ulimele ugwazwe emqaleni. Lo muntu oboshelwe le nto akasilo isoka lakhe, ngumuntu nje,” kusho uRadebe.

Uthe udokotela ohlole isidumbu uthe akazange adlwengulwe udadewabo yize izimpahla zakhe zangaphansi wayezikhunyuliwe.

URadebe uthe akekho owaziyo ukuthi waze wabulawa ngesihluku esingaka nje kwakubangweni.

UNksz Radebe ufihlwe emasontweni amabili edlule, ushiye izingane ezimbili.

UMnuz Bonginkosi Mbili, okhulumela iCommuntiy Policing Forum, kule ndawo uthe bebegcwele enkantolo ngoba bengahambisani nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

“Sizozwakalisa ulaka lwethu la ngalo mkhuba osewenzeka wokuthi kuhlukunyezwe abantu besifazane nezingane bese beyabulawa. Kuke kwenzeke ukuthi kudlwengulwe umuntu kule ndawo kodwa sisukunyiswe isihluku okubulawe ngaso lo dadewethu,” kusho uMbili.

Uthe basebenzisana kahle namaphoyisa yikho bezolekelela ukushayela isipikili sokuthi umsolwa angakhishwa ngebheyili.

Uthe izidakamizwa zinawo umthelela ekwenzekeni kwalezi zigameko kodwa inkinga akutholakali lapho zisuke zithathwe khona.

UNkk Sbo Ngcobo wenhlangano iBobbi Bear osebenzela eFolweni namaphethelo, uthe akusazeki ukuthi kwenzekani kuleli ngoba ukudlwengula sekuhambisana nokukhishwa komphefumulo.

“Kungenzeka ukuthi kudingeka ushintsho kuqiniswe izigwebo kuqedwe ushwele.

“Lo shwele wenza abantu bazi ukuthi noma bangagwetshwa udilikajele kodwa uma beziphathe kahle ngaphakathi bazophuma, yikho bengasabi ukwenza amacala abucayi kanje,” kusho uNkk Ngcobo.

Uthe asikho isizwe uma kuzoqhubeka kanje ngoba uma umuntu ehlukumezekile ukhula nakho lokho ngisho nabantu abasebenza nabahlukumezekile sebeyahlukumezeka ngenxa yendlela lezi zigameko esezihambisana nodlame ngazo.

Uthe kumele kubanjiswane ukuze kunqandwe lesi sihlava.

Umsolwa uboshwe ngoLwesine olwedlule, uzophindela enkantolo eNsimbini ngo-Ephreli 22 ukuze afake isicelo sebheyili.

Ubufakazi ngamachaphazela egazi

$
0
0

Uchwepheshe wephoyisa elingumphenyi wendawo okwenzeka kuyo isigameko, utshele inkantolo ukuthi wafica amachaphazelo egazi ayengasabonakali ngamehlo enyama endlini yokugezela kubo kaMnuz Phindile Joseph Ntshongwana.

|||

SIMPHIWE NGUBANE

UCHWEPHESHE wephoyisa elingumphenyi wendawo okwenzeka kuyo isigameko, utshele inkantolo ukuthi wafica amachaphazelo egazi ayengasabonakali ngamehlo enyama endlini yokugezela kubo kaMnuz Phindile Joseph Ntshongwana (35) odume ngokuthi “yindoda yembazo”.

Usigxamabhande, uLieutenent-Colonel Sietze Sibo Alberte, ubethula ubufakazi eNkantolo eNkulu eThekwini izolo ngakubona efika kubo kaNtshongwana lapho afica khona amachaphazelo egazi kusinki nasethawuleni ngo-Ephreli 3, 2011.

Uthe ngenxa yokuthi yayisihlanziwe indlu kusuliwe phansi, kwenza wangabona ngamehlo enyama igazi, kwaphoqeleka ukuthi asebenzise impushana ebizwa ngeBlueStar eyacacisa ukuthi kunegazi.

Le mpushana isetshenziswa amaphoyisa uma ehlola igazi elingasabonakali noma eselomile endaweni yesigameko.

“Ngavala thanqa indawo engangiyihlola, ngathela phansi impushana, yangikhombisa ngombala oluhlaza okwesibhakabhaka izindawo eziningi ezazinamachaphazela egazi. Ngabe sengithwebula izithombe ngengangikubona,” kusho uSietze enkantolo ebigcwele izihlobo nabangani bababulawa.

Kuthe esebuzwa ukuthi kwakungelikabani lelo gazi futhi linesikhathi esingakanani, wathi akanalo ulwazi futhi akazi ukuthi ubufakazi abuqoqa bathathwa bashoniswaphi.

Omunye ufakazi, uWarrant Officer Morris van der Merwe, uthe wazithela phezu kwamachaphazela egazi ayenaphazeke esicabheni semoto i-Opel Corsa eyayibolekwe nguNtshongwana eyisebenzisa ngezinsuku okusolwa ukuthi wayejuqa ngazo abantu.

UNtshongwana ubhekene namacala amane okubulala, amabili okuzama ukubulala, elokuthumba, elokudlwengula nelokushaya kanzima ngenhloso yokulimaza. Uwaphika wonke amacala okuthiwa enzeka esikhathini esiphakathi kukaNovemba 2010 kuya ku-Ephreli 2011.

Usolwa ngokuhlahlela ngembazo abulale uMnuz Thembelenkosini Cebekhulu ngoMashi 20, 2011 eMontclair, uMnuz Paulus Hlongwa waseLamontville ngoMashi 22, 2011, uMnuz Simon Ngidi ngoMashi 23, 2011 nendoda isidumbu sayo esatholwa sihlahlelwe sashumpulwa ikhanda ngenyanga efanayo. Ngaphambi kwalezi zigameko usolwa ngokuthumba owesifazane okuthiwa wamdlwengula.

Ummeli kaNtshongwana, uMnuz Themba Mjoli, ubuze ukuthi yini eyayenza umphenyi wecala benoSietze bazivalele bodwa endaweni yesigameko bengawazisi ngisho amalungu omndeni ngababekwenza emzini wawo.

Uthe le nto idala ungabazane ngendlela eyasetshenziswa kuqoqwa ubufakazi ngoba kunezinto ezathathwa zangasayinelwa phansi ngunina kamsolwa esezisetshenziswa njengobufakazi enkantolo.

UMjoli ube esejika etshela inkantolo ukuthi uNtshongwana kuze kwashaya isikhathi sesidlo sasemini izolo enganikwanga ukudla kwazise ungumuntu ophuza amaphilisi amenza akwazi ukulandela okuqhubeka enkantolo.

“Umsolwa akanikwanga ukudla ekuseni manje usenenkinga yokuqonda okuqhubeka enkantolo ngoba akawaphuzile amaphilisi akhe,” kusho uMjoli.

IJaji Irfaan Khalil libe selitshela inkantolo ukuthi uNtshongwana akancishwanga ukudla kepha ugejwe yisikhathi sokuphakelwa esitokisini ekuseni, laxwayisa ngokuthi ingaphindi yenzeke into efanayo ngokuzayo ngoba umsolwa unelungelo lokudla eligunyazwe kuMthethosisekelo wezwe.

Icala liyaqhubeka namhlanje.

Sihlatshiwe esokususwa komdwebo

$
0
0

Sifaniswe negxathu elisibuyisela emuva esikhathini sikahulumeni wengcindezelo, isenzo sokususwa kwemi-dwebo eveza uMengameli Jacob Zuma nokaDkt Nelson Mandela njengabantu bebala elimhlophe, iveze nababeku-hulumeni wengcindezelo, bengabantu bebala elimnyama.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

SIFANISWE negxathu elisibuyisela emuva esikhathini sikahulumeni wengcindezelo, isenzo sokususwa kwemi-dwebo eveza uMengameli Jacob Zuma nokaDkt Nelson Mandela njengabantu bebala elimhlophe, iveze nababeku-hulumeni wengcindezelo, bengabantu bebala elimnyama.

Le midwebo eveza uMnuz Hendrik Verwoed, Mnuz John Vorster noMnuz PW Botha njengabantu abamnyama, isuswe embukisweni wemidwebo obuse-Nelspruit ngeSonto.

UMnuz FW De Klerk naye uvezwe njengomuntu omnyama.

Le midwebo okungekaMnuz Kobus Myburgh ibise-ndaweni obekuzo-bukiswa kuyona imidwebo eVan Riebeeck Hall, obekuzoba yingxenye yemigubho kamasipala wase-Mbombela yokugubha uSuku lwamaCiko obelugujwa umhlaba wonke.

Umqondisi wesikhungo iFreedom of Expression Institute, eqhaka-mbisa ukubika ngokukhululeka, uPhenyo Butale uthe: “Ifana nonswinyo le nto yokuthi kususwe umdwebo ngenxa yokuthi umuntu oyedwa kuhulumeni akahambisani nawo noma akawuthandi.

“Ayiyinhle le nto, isibuyisela emuva esikhathini sengcindezelo lapho uhulumeni wayefaka unswinyo emsebenzini owawenziwa yizintatheli namanye amaciko. Akukhona nje ukususwa kwemidwebo nonswinyo okuvimba ukudedelwa kolwazi olubalulekile okusibuyisela emumva, kepha nomthethosivivinywa iProtection of State Information Bill. Kuyishwa ukuthi izinto zenzeke ngale ndlela kodwa sizoqhubeka nokulwela amalungelo ezintatheli namaciko”.

UButale uthe umdwebo osusiwe udale umsindo ofana ncamashi noweThe Spear, owawuveza isitho sangasese sikaZuma, owawuseGoodman Gallery eGoli.

Isexwayiso kwabashelwe yimijondolo

$
0
0

Kunxuswe abantu abahlala emijondolo eshile eSiyathuthuka ngaseSea Cow Lake ukuthi bangavumelli abantu bangaphandle ukuthi bazokwakha endaweni yabo ngoba nakhu sekukhona usizo abazoluthola.

|||

BAWINILE NGCOBO

KUNXUSWE abantu abahlala emijondolo eshile eSiyathuthuka ngaseSea Cow Lake ukuthi bangavumelli abantu bangaphandle ukuthi bazokwakha endaweni yabo ngoba nakhu sekukhona usizo abazoluthola.

Umphathi wophiko lwezindlu kuMasipala weTheku, uMnuz Nigel Gumede, izolo utshele abantu bakule ndawo ukuthi inkinga abahlangabezana nayo uma kade kunezinhlekelele zomlilo, wukuthi izinombolo zabasuke beshelwe ziyenyuka.

UGumede ubehambisana neMeya yeTheku, uMnuz James Nxumalo, beyobheka umonakalo odalwe wumlilo oshise inqwaba yemijondolo kule ndawo, abantu basala dengwane.

Uthe kusukela namuhla bazobe sebazi ukuthi abantu bazosizakala kanjani ukuze baphume kulesi simo ababhekene naso.

“Sixhumana nabaholi ezingeni lesifundazwe ukuze sithole olunye usizo. Kusasa (namuhla) sizobuya sesizosho ukuthi wusizo luni esilutholayo. Sicela nisinike ithuba sibone ukuthi yiluphi usizo esizokwazi ukululetha,” kusho uGumede.

Ucele ukuthi kube khona ukubambisana.

UNxumalo uqale wazwelana nabashelwe, wathi kubongwa ukuthi awukho umphefumulo ophumile.

Uthe umuntu okuthiwa nguye othungele lo mlilo owenze umonakalo, kumele aboshwe.

“Siyabona ukuthi mkhulu umonakalo owenzeke lapha. Indaba yomlilo iyinkinga enkulu kodwa kumele ube yingozi hhayi ukuthi kube khona abazoshisana bese kulahlekelwa wonke umuntu. Nomkhandlu usuzothwala izono okungezona ezawo,” kusho uNxumalo.

Unxuse abesilisa ukuthi baqaphe abesifazane nezingane njengoba besahleli ematendeni ayindawo evulekile.

Uthe umthwalo kamasipala wukuthi abantu abasahleli emijondolo njengalaba bagcine betholelwe izindawo ezifanele.

UNxumalo uthe bazoxoxisana noMnyango weZindlu ukuze babone ukuthi ubasiza kanjani, nabashelwe ngomazisi nezitifiketi bazolethelwa uMnyango wezaseKhaya, ukuze bakushaye kabusha.

Abantu bakule ndawo abashelwe bebehleli ematendeni amabili abekiwe, abacuphe kuwo, abadlela kuwo isobho nezinkwa abathiba ngakho indlala.

Izingane zakule ndawo bezingayile ezikoleni zihleli amaqoqwana ngoba zishelwe yizincwadi nemifaniswano yesikole. Abanye sebeqalile beqongqotha bakha kabusha.


Usosizini umndeni wengane eminzile

$
0
0

Isimo simuncu emndenini wakwaNyathi kwaDabeka, koLindela njengoba sekuphele izinsuku ezimbili ingane yabo ingatholakali emva kokuminza ikade ibhukuda nabangani bayo emfuleni uMngeni.

|||

SANDILE GUMEDE

ISIMO simuncu emndenini wakwaNyathi kwaDabeka, koLindela njengoba sekuphele izinsuku ezimbili ingane yabo ingatholakali emva kokuminza ikade ibhukuda nabangani bayo emfuleni uMngeni.

UBhekani Nyathi (7) obefunda uGrade 1 eKhulugqame Primary kwaDabeka waminza ebhukuda nokuthiwa bekungeyona into ayijwayele.

Umamkhulu kaBhekani, uNksz Ziningi Nyathi (28) uthe bekungesiyo ingane evamise ukuyobhukuda emfuleni ngoba uthi wamdonsa ngendlebe ukuthi angalokothi ngoba kuyingozi.

“Uke waya emfuleni ngesikhathi kukhona abelungu bezikebhe ngamtshela ukuthi angaphinde alubhade ngoba kuyingozi. Kwakhona ukuthi aphinde angazi ufike nini ngoba ngimgcine edlala nezinye izingane egcekeni ngabo-12.30 emini kanti umbiko wokuthi useminzile siwuthole ngabo-3.30 ntambama,” kusho uNksz Nyathi.

UNksz Nyathi ubekhulisa uBhekani nomfowabo omncane uSamkelo (4) emva kokushona kukanina wabo uNana ngo-2010. Lezi zingane uthi ziphila ngemali yesibonelelo sikahulumeni ngoba naye akasebenzi.

Omunye obizwe ukuthi azofaka isandla ngokufuna uBhekani, uMnuz Lindani Ngcongo, uthe bazamile ukumfuna lapho bebeyalelwe khona ezinye izingane ebezibhukuda naye kodwa kwaze kwahlwa bengatholi lutho.

“Sithole umbiko ngabo-4 ntambama ukuthi sekuminze ingane seza sazoyifuna ngoba sivame ukudoba kulo mfula. Siqale lapho kuthiwa ungene khona safuna sehlisa umfula kwaze kwaba ngu-6.15 sabuyela emakhaya sekumnyama,” kusho uNgcongo, othe ufundisa ukuntweza ngama-surf-board olwandle.

Okufaka itwetwe emphakathini wukuthi ngoJanuwari nonyaka kwaminza indoda eyayidoba kuwo lo mfula kanye nomama owayewasha ezigamekweni ezahlukene, nabatholwa sebebanda emva kwezinsuku ezimbalwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Vincent Mdunge uthe ubengakatholakali umfana kodwa wathi ithimba labatshuzi liyaqhubeka nokuthungatha.

“Khona ezimweni zokuminza kwabantu, akuvamile ukuthi umuntu ominzile asheshe atholakale kodwa abatshuzi bayaqhubeka nokufuna. Kwesinye isikhathi kuye kudingeke ngisho izinja ukuhogela umkhondo,” kusho uMdunge.

Ngesikhathi Isolezwe lihambele kule ndawo izolo amalungu omphakathi abethukuthele ekhala ngokuthi abatshuzi abayisukumeli ngendlela indaba yokuminza kwale ngane ngoba nakhu kungeyomuntu omnyama.

Athe bafikile ngeSonto bathembisa ukuthi bazobuya izolo ekuseni kodwa kuze kwaba semini bengabonwa.

Wabulala umkakhe ongazitholi izingane

$
0
0

Indoda yaseMdumezulu eMbumbulu ishaqise abantu abebehambele icala lokubulala umkayo ngesikhathi izivumela ukuthi yambulala ngoba benezinkinga emshadweni kodwa okukhulu kakhulu ukuthi wayengabatholi abantwana.

|||

MBALI KHANYILE

INDODA yaseMdumezulu eMbumbulu ishaqise abantu abebehambele icala lokubulala umkayo ngesikhathi izivumela ukuthi yambulala ngoba benezinkinga emshadweni kodwa okukhulu kakhulu ukuthi wayengabatholi abantwana

UMnuz Skhumbuzo Hlengwa (39) uvume icala lokubulala umkakhe uNkk Kholiwe Hlengwa ngo-Okthoba 2011 ephuma esontweni.

Esitatimendeni esifungelwe, nesifundwe enkantolo, uHlengwa uthe, wadubula wabulala umkakhe ngenxa yezinkinga abebenazo emshadweni.

Kule nkantolo bekugcwele kuphuphuma amalungu omndeni wakwaHlengwa nowakaNdlovu (umndeni wakamufi) ngesikhathi kufundwa lesi sitatimende.

Phakathi kwezinkinga azibalulile uthe ukungazitholi izingane nonkosikazi wakhe obese kuphele iminyaka engaphezulu kwengu-10 benobudlelwano. Uphinde waveza ukuthi wayemsola ngokujola njengoba umkakhe akhetha ukuhamba emzini wabo oseMbumbulu, wayohlala KwaMakhutha lapho okwakuthiwa usekipite khona.

Emuva kokufundwa kwesitatimende, iMantshi yenkantolo, uMnuz Stanley Hlophe, ibuze ukuthi uyahambisana nakho konke yini okubhalwe esitatimendeni.

Umsolwa ube esezivumela ngokwakhe ethi nguye owabulala umkakhe.

“Ngiyalivuma icala lokubulala umkami. Inkinga yokungazitholi izingane obesekuphele iminyaka yiyo eyaholela ekutheni ngigcine ngithathe isinqumo sokumdubula ngimbulale,” kusho uHlengwa.

UMshushisi Joel Kisten, ube esenxusa iMantshi ukuthi angabe esadedelwa uHlengwa ongaphandle ngebheyili njengoba ebhekene necala elibucayi, futhi ezivumele ngokwakhe ukuthi nguye umbulali.

IMantshi, uHlophe ikuphikisile lokhu okubekwe ngumshushisi, yaveza ukuthi akakuboni kungaba yinkinga ukwandisa izinsuku zakhe zokuba ngaphandle ngebheyili anikwa yona yize esevumile ukuthi uyathinteka ecaleni. Uthe ukungaphuthi kukamsolwa nakanye ecaleni lakhe nokuhlonipha umthetho wenkantolo yisona sizathu sokuthi angagcinwa esitokisini.

“Njengoba umsolwa ebeke la maphuzu esitatimendeni, inkantolo imthola enecala lokubulala kodwa ngeke agcinwe ngaphakathi okwamanje njengoba ekhombise ukuyihlonipha yonke imithetho yenkantolo abekelwa yona ngesikhathi enikwa ibheyili ka-R8 000 ngo-Okthoba 2011,” kuchaza uHlophe.

UMnuz Mncikisela Ndlovu onguyise kamufi uthe, yize ezivumele ngokwakhe umsolwa icala alenza alikafiki lapho azimisele ngokuthi lifinyelele khona.

“Ngokwami ngifisa ukuthi lesi sigilamkhuba sigwetshwe iminyaka eminingi, naso sizwe lobu bunzima esibenze endodakazini yami,” kuphetha uNdlovu obebukeka edangele.

Leli cala lihlehlele uMeyi 29 kuyo le nkantolo. UHlengwa kuthiwa wehlika etekisini ayeyigibele waqonda ngqo kuNkk Kholiwe Hlengwa afike wahilizisana naye embuza ukuthi uhambeleni ekhaya. Emuva kwalokho wabe esevulela inhlamvu wamdubula amahlandla amane phambi kwezingane ezimbili ayehamba nazo ephuma esontweni ngo-2011. UNkk Hlengwa waphelela khona lapho.

Baphikisa iDA ngolwamaphoyisa

$
0
0

Inyunyana yamaphoyisa iPopcru, KwaZulu-Natal ichitha i-DA ngomthetho ozogunyaza oNgqongqoshe bezokuPhepha ezifundazweni ukuthi babe namandla okulawula amaphoyisa.

|||

CELANI SIKHAKHANE

INYUNYANA yamaphoyisa iPolice and Prison Civil Rights Union (Popcru), KwaZulu-Natal ichitha i-DA ngomthetho ozogunyaza oNgqongqoshe bezokuPhepha ezifundazweni ukuthi babe namandla okulawula amaphoyisa.

Lo mthetho obizwa ngeCommunity Safety Bill usuvele uyasebenza eWestern Cape lapho kuphethe khona i-DA kanti unikeza amandla uNgqongqoshe wesifundazwe ukuthi akwazi ukuqoka noma ukususa uKhomishana wamaphoyisa, aphinde akwazi ukusungula ikhomishini engaphenya amaphoyisa uma kunokukhononda okuvela emphakathini.

Uphinde unike amandla uNgqongqoshe wesifundazwe ukuthi akwazi ukukhipha umyalelo wokusebenza kwamaphoyisa ngaphandle kokuthi alinde okazwelonke.

UNobhala wePopcru eKZN uMnuz Kwenza Nxele uthe lokhu kukhombisa ukubukela phansi umbutho wamaphoyisa nokuzama ukuphazamisa ukusebenza kombutho.

“Angeke siwuvume lo mthetho abawushoyo ngoba uwukweyisa futhi awukho kumthethosisekelo wezwe olawula amaphoyisa. Okokuqala nje i-DA ifuna leli lizwe liphathwe ngendlela ethandwa yiyo okuyinto esingeke siyivume ukuthi yenzeke emaphoyiseni,” kusho uNxele.

Ubekusho lokhu echaza nokuthi imithetho ekhona ayishayisani nokusebenza kwamaphoyisa noNgqongqoshe ngakho asikho isidingo salona ofunwa yi-DA.

Ngesonto eledlule uNksz Lindiwe Mazibuko ohola i-DA ephalamende uhambele eMlazi lapho efike wenza khona lesi simemezelo sokuthi bafuna lo mthetho uphushwe KwaZulu-Natal usebenze ukuze kube lula ukulwa nezehlakalo ezifana nokusocongwa nokudlwengula.

Okunye akusho wukuthi inkinga ekhona njengamanje wukuthi izifundazwe zinohlobo olwahlukene lobugebengu oludinga ukuthi kube nemizamo ebhekene nabo ngqo njengokuthi i-Eastern Cape neKZN inezigameko zokudlwengula, iMpumalanga neLimpopo kwande ukudubulana kanti oNgqongqoshe balezi zifundazwe kungaba lula uma bengashaya imithetho ezobhekana ngqo nalobo bugebengu kungabi uzwelonke owenza lokhu ngoba kugcina sekuba nokuhluleka kokusebenza kwamaphoyisa.

Okhulumela uNgqongqoshe wamaPhoyisa eNingizimu Afrika uMnuz Nathi Mthethwa, uMnuz Zweli Mnisi, uthe okwamanje uMthethwa usawucubungula lo mthetho nokuzothi uma eseqedile bese ecacisa ukuthi kuzokwenzakalani.

“Nakuba eWestern Cape bewuphasisa kodwa awukho emthethweni ngoba ukhona umthethosisekelo ogunyaza ukusebenza kwamaphoyisa. Ngaphandle kwalokho kuzoba nenkinga ngemizamo yokulwa nobugebengu ngoba uzothola ukuthi izwe lilodwa lihlukene phakathi ngoba kunezinye izifundazwe ezizoba nemithetho eqinile ezinye zibe naleyo ezokwenza izigebengu zibalekele kuzo ngenxa yokubonakala kwemithetho yakhona,” kusho uMnisi.

Uthe okubi ngalo mthetho wukuthi lokhu kungaholela ekutheni amaphoyisa agcine esegqoka nomfaniswano ohlukene, esesebenza ngendlela ehlukile ekubeni esezweni elilodwa.

Ingcuphe yokuxoshwa emakhanseleni

$
0
0

Alengela eweni lokuphelelwa yimisebenzi amakhansela aqhubeka nokukweleta omasipala babo imali yamanzi, ugesi, eyokuqoqwa kwemfucuza nama-rates.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

ALENGELA eweni lokuphelelwa yimisebenzi amakhansela aqhubeka nokukweleta omasipala babo imali yamanzi, ugesi, eyokuqoqwa kwemfucuza nama-rates.

UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNksz Nomusa Dube ucele amakhansela ukuba akhokhe yonke imali ayikweletayo kungenjalo azolahlekelwa yimise-benzi yawo njengoba lokhu kugunyazwa wumthetho.

Uphawula kanjena nje uNksz Dube kungenxa yophenyo lomnyango wakhe oluveze ukuthi ingaphezu kuka-R1.7 million imali ekweletwa ngamakhansela. Ezinye izikweletu sekuphele unyaka zingakhokhwa.

“Ngethukile ukuthola ukuthi kunabaholi abangakugqizi qakala ukukhokha isikweletu. Amakhansela kumele ahambe phambili ekukhokheni abe yisibonelo. Akumele atshele umphakathi izinto kwawona angazenzi ngoba lokhu kwenza kubukeke sengathi umthetho usebenza ngendlela ehlukile kuwona,” kusho uNksz Dube.

Ungqongqoshe usekhiphe umyalelo komasipala ukuthi banqamule amanzi, ugesi nama-rates kulelo nalelo khansela elikweleta umasipala.

“Kumele kuxazululwe ngokukhulu ukushesha uma kukhona ikhansela elikweletayo. Umgomo wokuziphatha kwamakhansela okuSection 12 A ubeka kucace ukuthi uma ikhansela lenza okuphambene lingaxoshwa ngokudalela umasipala inkinga,” kusho uNksz Dube.

UMaimane ugeza izandla ngeSushi King

$
0
0

Umholi we-DA akafisi lutho ngonontandakubukwa ongusomabhizinisi waseGoli, uKenny Kunene, kulandela ukuhilizisana kwabo ngendlela aziphatha ngayo emphakathini.

|||

CELANI SIKHAKHANE noNQOBILE MASIMULA

UMHOLI we-DA, ophinde akhulumele leli qembu kuzwelonke, akafisi lutho ngonontandakubukwa ongusomabhizinisi waseGoli, uKenny Kunene, kulandela ukuhilizisana kwabo ngendlela aziphatha ngayo emphakathini.

UMnuz Mmusi Maimane ukubeke kwacaca ukuthi alikho elinye igama angalisebenzisa ngaphandle kokuthi uyedelela, izinto azikhulumayo azinamqondo, unenkani yeselesele futhi akafuni ukulalela.

UMaimane ukhulume kanje ngemuva kokuqubuka kwengxabano phakathi kwakhe noKenny edalwe ngukuphawula kukaMaimane ephephandabeni langeSonto abhale kulo ngokungagculiseki kwakhe ngokuziphatha kwalo somabhizinisi.

Kule ngosi uMaimane ubekhala ngokuthi indlela uKenny aziphethe ngayo iyethusa futhi idukisa intsha nomphakathi obukela kuye nomkhonzile njengoba edume ngokuba nemali.

Eqhuba kuyo le ngosi uthe uyafisa ukwazi ukuthi uma izingane zakhe sezikhulile ziyobukela kobani njengoba ezinye zibuka othisha, osomabhizinisi nabantu abadumile ezifisa ukufana nabo.

Ubhale kanje kulandela ukuvela kukaKenny kuthelevishini nasemaphephandabeni ehleli namantombazane angu-15 athandana nawo.

Uthe ulala nawo wonke futhi nawo awanankinga kodwa emakhaya awo kwaziwa ukuthi ayafunda eGoli.

Ngemuva kwale ngosi uKenny udinwe waveva wabhala ezinkundleni zokuxhumana ethuka uMaimane embiza ngokuthi akazi lutho ngaphandle kokuba ngumsebenzi wasezingadini ohluphekayo.

“Angenzeli ukubukwa noma ukujabulisa abasebenzi basezingadini abafana nawe Maimane. Ubani okunika igunya lokuthi ungehlulele, uwusopolitiki oyisicashalala odunyelwayo ngakho awugxile ekwaneliseni umkakho ngocansi ngaphambi kokuthi kube yithi esimenzayo sithathe umsebenzi wakho,” kusho uKenny.

UMaimane uthe akasenaso ngisho esincane isifiso sokuhlangana noKenny ngoba usembonile ukuthi akasiyena umuntu wokwakha isizwe kodwa ungumuntu omdala ocabanga ukudlala ngezingane ezincane zamantombazane.

“Ngigeza izandla ngalo muntu wehlule, ngikhulumile naye ku-702 Radio Talk Show kodwa awukho umqondo engiwutholile kuye ngaphandle kwenkani nokucabanga ngendlela engenakho ukwakha. Kunalokho ungumuntu ozicabangela ukuba nguSugar Daddy okuyinto esizama ukulwa nayo. Wenza kube sengathi ukudlwengulwa kwabantu besifazane abasuke bebanjwe yiqulu kumnandi ekubeni kuyinto ebuhlungu njengoba ethi naye uyadlwengulwa kodwa uyakujabulela,” kusho uMaimane.

Uthe akalwi nokuceba kukaKenny kodwa indlela aziveza ngayo kubantu iyethusa futhi yenza kwakheke isithombe esibi ngabantu besilisa abanemali.

Ubesho lokhu ethi imphathe kabi indaba yokuthi uKenny afake umkakhe kule ndaba njengoba ebethi bazombamba bona uma ehluleka ukumenelisa.

UMaimane akaqali ukuba sematheni njengoba ngonyaka odlule axazulula udaba lokungezwani ezintokazini ezimbili ezingonobuhle okunguNksz Tshidi Thamana noNksz Jessica Leandra dos Santos abasusa umsindo bechaphana ngenhlamba ku-twitter bebizana ngamagama anokucwasa ngokobuzwe.

Lokhu kwasusa umsindo noqhekeko njengoba le ngxabano yabo yayisiphakathi kwabantu abamnyama nabamhlophe.

Izinhlaka zabesifazane nazo zikhuze umhlola ngokuziphatha kukaKenny nokuthuka unkosikazi kaMaimane.

Basotakwini ngokushutha uPistorius

$
0
0

Ngesikhathi bonke abathwebuli bakuleli nabakwamanye amazwe bezama ngayo yonke indlela ukuthola izithombe zomgijimi ongenamlenze u-Oscar Pistorius ngoFebhuwari nonyaka, amaphoyisa ayemphelezela esuka esiteshini samaphoyisa eya enkantolo nawo ayezitika ngaye emshutha isinyenyela.

|||

Intatheli yeSolezwe

NGESIKHATHI bonke abathwebuli bakuleli nabakwamanye amazwe bezama ngayo yonke indlela ukuthola izithombe zomgijimi ongenamlenze u-Oscar Pistorius ngoFebhuwari nonyaka, amaphoyisa ayemphelezela esuka esiteshini samaphoyisa eya enkantolo nawo ayezitika ngaye emshutha isinyenyela.

Sekushaqwe omakhalekhukhwini abawu-45 bamaphoyisa nabanye abane okuthiwa ngabezikhulu zamaphoyisa okusolwa ukuthi ashutha uPistorius esiteshini samaphoyisa eBoschkop, ePitoli.

Izolo iziphathimandla zamaphoyisa zikuqini-sekisile ukuthi kunamaphoyisa asethathelwe izinyathelo ngalolu daba. Indaba yezithombe ivele empendulweni kaNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Nathi Mthethwa obephendula i-DA ebifuna incazelo.

UMthethwa uthe omakhalekhukhwini bamaphoyisa athintekayo bashaqwa ngoFebhuwari 20 emuva kokutholakala kwezithombe zikaPistorius.

Omakhalekhukhwini bazosetshenziswa njengobufakazi ecaleni lokuqondiswa amaphoyisa athintekayo izigwegwe. UMnuz Zweli Mnisi okhulumela uNgqongqoshe akathandanga ukuveza eminye imininingwane, egcizelela ukuthi abafuni ukuphazamisa inqubo yokuqondisa izigwegwe.

Akuqali ukuthi amaphoyisa azithole esotakwini ngenxa yomakhalekhukhwini. Izithombe ze-video eyashuthwa ngesikhathi amaphoyisa ehudula ngeveni usomatekisi waseMozambique, uMido Macia, zisetshenziswe njengobufakazi ecaleni.

Le video yasabalala yonke indawo yasetshenziswa njengobufakazi ecaleni elithinta amaphoyisa. Isetshenziswe njengobufakazi ne-video lapho amaphoyisa kuthiwa avulele ngenhlamvu kubavukuzi abawu-34 eMarikana, eNorth West.

UNkk Dianne Kohler Barnard we-DA izolo uthe izenzo zamaphoyisa zilahlisa ithemba ngokwethenjwa kwawo. Uthe amaphoyisa ashutha uPistorius enza abantu bacabange ukuthi wonke amaphoyisa akulesi siteshi ayizigebengu.

Kusolwa ukuthi amaphoyisa ashutha izithombe zikaPistorius ngenhloso yokudayisela abezindaba. Lo mgijimi usolwa ngokudubula abulale intombi yakhe uReeva Steenkamp ngoFebruwari 14. Ungaphandle ngebheyili ka-R1 million.

Baboshiwe abaqole e-tuck shop

$
0
0

Babanjwe nezibhamu ezingamathoyizi abasolwa ngokubamba inkunzi i-tuck shop bathatha izimpahla nemali ePhoenix izolo.

|||

BAWINILE NGCOBO

BABANJWE nezibhamu ezingamathoyizi abasolwa ngokubamba inkunzi i-tuck shop bathatha izimpahla nemali ePhoenix izolo.

Abasolwa abayisithupha abaneminyaka ephakathi kwengu-30 no 41 kuthiwa baboshwe ngamaphoyisa ePhoenix Cluster Trio Task Team emuva kokuthi ebambe inkunzi.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Thulani Zwane, uthe izolo ekuseni amadoda angene kwenye i-tuck shop ePhoenix, abhudubeza umnikazi wayo.

“Babophe izandla zakhe ngemuva, bamkhomba ngesibhamu befuna imali nezinye izimpahla ngaphambi kokuthi babaleke ngeToyota Condor emhlophe,” kusho uZwane.

Uthe umakhelwane obone kubanjwa inkunzi ube esefonela amaphoyisa, aqalile athungatha imoto ebichazwa, afonela namanye amaphoyisa ukuthi nawo ayibheke.

Imoto kuthiwa ibe isibonakala emgwaqweni uM25 iya ngasemgwaqweni uN2.

Amaphoyisa abe eseyilandela, ayifica.

UZwane uthe kuboshwe abasolwa ababayisithupha abebekuyo.

“Amaphoyisa abe esethola izibhamu ezimbili ezincane nezinye ezimbili ezingamathoyizi, izinhlamvu ezingu-12, imali u-R600, ugwayi ne-airtime ka-R300 okuthathwe ngesikhathi kubanjwa inkunzi,” kusho uZwane.

Bonke abasolwa babekwe icala lokubamba inkunzi kuhlonyiwe, elokutholakala nezinhlamvu nezibhamu okungekho emthethweni.

Bazovela enkantolo maduze.

Khonamanjalo lihlehliselwe u-Ephreli 29 icala lomsolwa oboshwe emuva kokubanjwa kwenkunzi esikhungweni sokuholela impesheni eLindelani ngoLwesihlanu.

Umsolwa uvele kafushane enkantolo eNtuzuma, icala lahlehliswa ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Amaphoyisa athi asezithendeni zabanye abasolwa abayisikhombisa abasagcwele amathafa.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCaptain Thulani Zwane, uthe ithimba lamaphoyisa eliphenya ngaleli cala selibahlonzile laba basolwa, lisezithendeni zabo.


Akuqondakali ngengane etholakale ‘idutshuliwe’

$
0
0

Kuseyindida namanje ukufa komfana oneminyaka engu-10 onyamalale nesibhamu sethwasa ngoMsombuluko ntambama.

|||

NOKUBONGWA PHENYANE

KUSEYINDIDA namanje ukufa komfana oneminyaka engu-10 onyamalale nesibhamu sethwasa ngoMsombuluko ntambama, lisaphumile endlini ebelihleli kuyo, watholakala eseshonile ehlathini elingezansi kwakubo izolo ekuseni.

UNkosinathi “Boy-Boy” Mngomezulu, obefunda uGrade 5 eMaphumzane Primary School, eMlazi kwa-C, utholwe enenxeba lokudutshulwa esifubeni, eklinyiwe njengoba ulimi lwakhe kuthiwa beluphumele ngaphandle, ikhala lakhe lingekho.

UNkosinathi kuthiwa unyamalale kubo ehamba nabangani bakhe beyodlala njengenhlala yenza.

UMnuz Sibusiso Kubheka uyise kamufi, uthe indodana yakhe idutshulwe kwenye indawo, yazobekwa la itholakale khona njengoba belingekho igazi lapho itholwe khona.

“Umuntu obulale ingane yami uyazazi futhi nami ngiyamazi. Ingane kuthiwa ngesikhathi zidlala kuwona lo muzi, okuthwaswa kuwona umnikazi wesibhamu, ubesihlanza, kwakhala ucingo waphumela ngaphandle,” kusho uKubheka.

Ngesikhathi selibuya ithwasa kuthiwa libize izingane ebezidlala kulo muzi lazibuza ukuthi siphi isibhamu salo, zathi sithathwe uNkosinathi wahamba naso.

“Mina ufike kimi wangitshela ukuthi ingane isithathe isibhamu sakhe. Ngimtshelile ukuthi ingane angiyazi ngizoyibheka ukuze ngimbuyisele isibhamu sakhe.

“Ngizamile ukumfuna ubusuku bonke kwaze kwasa ngingazi ukuthi ukuphi,” kuchaza uKubheka.

Ngivukile ekuseni ngahamba ngaya esikoleni ngayobikela othisha bakhe ukuthi ingane angiyazi lokhu iduke ibuya esikoleni.

“Ngithe sengihlezi ekhaya kwaqhamuka ingane yala kwamakhelwane akade befunda bonke nayo, endala kunendodana yami behambisana nothisha, bangitshela ukuthi khona umkhondo abawutholayo. Bathe bephuma ngabalandela bathi ngingezi, ngahamba ngenkani,” kuchaza uKubheka obekhala mi izinyembezi efunga ethi la azothola khona umbulali nakanjani uzomenzakalisa amane ayobolela ejele.

Ngesikhathi befika la bekukhona indodana yakhe, uthe bathole ilele isibhamu sikhona eduzane kwayo, yena akabonanga ukuthi kukhona inxeba lokudutshulwa.

Uthe indodana yakhe bekubonakala ukuthi iklinyiwe futhi idutshulelwe kwenye indawo. Uthe eseyobheka ithwasa ukuze lizothatha isibhamu salo futhi likhulume namaphoyisa wangalithola.

Omunye umakhelwane ongathandanga negama lakhe ukufakazele ukuthi le ngane ayidutshulelwanga lapha, naye uhambe emazwini kayise kamufi okuthi ibingenanxeba lokudutshulwa kodwa bazwile ukuthi likhona wakufakazela futhi ukuthi nekhala layo belinqunyiwe lingekho negazi endaweni yesigameko.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uthe kuvulwe icala lokubulala njengoba le ngane kungaziwa ukuthi idutshuliwe noma izidubulile.

Uthe isidumbu sayo sizothathwa siyobhekwa ukuze kutholakale kahle imbangela yokufa kwayo.

Nesibhamu esitholakale eduzane nomufi uthe sizoyohlolwa ukuthi asikaze yini sisetshenziswe kwezinye izigameko.

UNgqongqoshe weMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Senzo Mchunu, udlulise amazwi enduduzo emndenini kamufi.

Iqhathe abeNehawu nomqashi eyeholo

$
0
0

Basabisa ngokungabuyeli emsebenzini uma benganyuselwa amaholo abasebenzi baseNetcare basezibhedlela ezahlukene eziseNingizimu Afrika.

|||

LUNGI LANGA

BASABISA ngokungabuyeli emsebenzini uma benganyuselwa amaholo abasebenzi baseNetcare basezibhedlela ezahlukene eziseNingizimu Afrika.

Izolo abasebenzi besibhedlela iKingsway eManzimtoti esingaphansi kweNetcare babalwe kwabangenele ukhukhulela ngoqo wesiteleka ngoba befuna ukunyuselwa amaholo.

Bafuna ukunyuselwa imali ngo-10% kodwa umqashi uthi angabanika amaphesenti angu-7.2 kuphela.

Abasebenzi okubalwa kubona abahlengikazi, abaqhuba iziguli, abahlanza izibhedlela, ababhekele ukugcinwa kwemishanguzo nabaphekayo benyunyana yabasebenzi iNational Education, Health and Allied Workers’ Union (Nehawu) bathe ngeke babuyele emsebenzini izikhalo zabo zingakabhekelelwa.

UMnuz Babs Dube weNehawu, uthe kusukela kuqale unyaka bebexoxisana nomqashi ngokunyuswa kwamaholo kodwa kuze kube manje abakutholi abakufunayo.

“Ngesikhathi siqala ukuxoxisana saphakamisa ukuthi sifuna ukunyuselwa imali ngo-15% kodwa kwacaca ukuthi umqashi akazimisele ngawo. Sibe sesehla safika ku-11% nalapho kwanhlanga zimuka nomoya. Sigcine sesithi sifuna ukunyuselwa ngo-10%. Yena uqale ngokusinika u-5% wagcina esesinika u-7%. Asizimisele ngokuwamukela lo 7% ngoba muncane kakhulu kulokhu esikudingayo,” kusho uDube.

Ngaphandle kwalokho uthe bafuna kunyuswe nemali efakelwa abasebenzi esikhwameni sezempilo i-medical aid.

Abasebenzi bafuna ukunyuselwa imali yesikhwama sezempilo ngo-10% bese kuthi abasebenzi abahola kancance bakhokhelwe u-100%.

Umsebenzi wasesibhedlela iNetcare Kingsway, eManzimtoti uthe uhola imali engango-R4 500 ngenyanga. Ukhokha u-R1000 wesikhwama sezempilo agcine esegoduka nemali engu-R3800 uma sekubanjwe nemishwalense. Kule mali wondla umndeni wakhe onamalungu angu-10.

“Le mali engiyiholayo incane kakhulu, angikwazi nokuqhubeka nokufunda ngayo,” kusho lo msebenzi.

Uthe wayethenjiswe ukuthi uzofundiswa ngaphakathi esibhedlela uma esesebenze unyaka kodwa manje usesebenze iminyaka emithathu akaze athole ithuba lokungena ohlelweni lokuqhubeka nokufunda.

UMnuz Peter Warrener wakwaNetcare ukuqinisekisile ukuthi isiteleka sabasebenzi beNehawu siyaqhubeka kodwa ngeke siphazamise ukusebenza ngoba abasebenzi balesikhungo ababalelwa ku-20 500 bayaqhubeka nokusebenza.

“Sivumelene nezinye izinyunyana ukuthi sizonyusa amaholo ngo-7.2% sekusele iNehawu kuphela,” kusho uWarrener.

Uthe bazoqhubeka nokuxoxisana nale nyunyana.

Ngeke sacasha ngobandlululo - Fikeni

$
0
0

Umhlaziyi wezombusazwe akayizwa kahle indaba yokuthi kugxekwe ubandlululo ezintweni ezithinta ukwehluleka kwezikhulu zikahulumeni wamanje ukusebenzela umphakathi.

|||

CELANI SIKHAKHANE

UMHLAZIYI wezombusazwe akayizwa kahle indaba yokuthi kugxekwe ubandlululo ezintweni ezithinta ukwehluleka kwezikhulu zikahulumeni wamanje ukusebenzela umphakathi.

USolwazi Somadoda Fikeni ukhulume kanje ephawula ngodaba oselususe umsindo phakathi kosopolitiki, ikakhulukazi abe-ANC namadlelandawonye ngenkulumo kaMnuz Trevor Manuel - yokuthi akufanele kugxekwe ubandlululo ngazo zonke izinto ezikhomba amaphutha enziwa uhulumeni.

UFikeni uthe nakuba elakuleli lisenezibazi eziningi ezadalwa ubandlululo kodwa kungaba iphutha uma sekungathi uma kunezikhulu zikahulumeni ezikhwabanisayo nezehluleka ukuhlinzeka umphakathi ngezidingo bese kubekwa icala ubandlululo.

“Kulolu daba lobandlululo kunezinto ezifana nokubuyiselwa komhlaba kubantu nokulungisa isimo sokubuyisana ezweni ezingeke zenzeke kule minyaka engu-20 ngoba mincane kakhulu, kanti izinto lezi ezibucayi esisengabeka icala ubandlululo ngazo. Ngaphandle kwalezi zinto kuyiphutha elikhulu ukuthi sekungathi uma kunokwehluleka kukahulumeni ekutheni ahambise izincwadi kubafundi kusenesikhathi bese kukhalwa ngobandlululo.

Okunye udaba lwezikole ezisesimweni esingagculisi kubantu abamnyama abanye baze bafundele phansi kwezihlahla, inkohlakalo nokwebiwa kwemali yentuthuko yabantu komasipala nakweminye iminyango, lokho angeke ugxeke ubandlululo kodwa ubudedengu obukhomba ukwehluleka kukahulumeni ophethe ngoba awukwazi ukuthi ungaba nabantu abantshontshela abampofu, bese siqhubeka sithi konke lokhu kwenziwa ubandlululo,” kusho uFikeni.

Echaza uthe inkulumo kaManuel uyakholwa ukuthi ayibekwanga ngendlela futhi yayingahambisani nalokhu ayekuqondile njengoba sekuba sengathi wayekhombisa ukuveza isithombe sokuthi ubandlululo aluzange luzidale izinkinga okuyinamuhla zikhungethe iNingizimu Afrika.

“Okunye ukuthi asazi noma kungumyalelo weqembu yini ukuthi konke okwenzekayo okungamaphutha manje, kumele kugxekwe ubandlululo noma kungukucabanga kwabaholi be-ANC njengoba kukhona abakhuza umhlola ngenkulumo kaManuel,” kusho uFikeni.

Lolu daba ludale ukuphawula okwehlukene kubantu nasezinkundleni zokuxhumana njengoba abanye bebekushayela ihlombe okushiwo uManuel ukuthi isizwe asikwazi ukuthi sesingalokhu sigxeke ubandlululo kuzo zonke izinto ezingamaphutha amanje.

Abanye abebephawula kuTwitter bekhala ngokuthi njengoba kunezikhulu komasipala ezigcina zixoshwa ngokukhwabanisa ngabe kumele kugxekwe ubandlululo na? Abanye besho nokuthi labo Ngqongqoshe abathinteka ezenzweni zenkohlakalo ngabe benziswa ubandlululo yini nabo.

Ezinye izikhalo bekungukuthi izikole zodaka ezisabonakala kwezinye izifundazwe nokuswela izinsiza kufunda ezikoleni zasemakhaya ekubeni oNgqongoqshe betetemuka ngezimoto zikanokusho ngabe nalokho kumele kugxekwe ubandlululo nakukho na.

Le mpikiswano ivusa nokuthi ngabe ukunganakwa kwemigwaqo yasemalokishini enemigodi namapayipi agobhoza amanzi mihla namalanga, kufanele kugxekwe ubandlululo ngakho?

Kuhlukene imibono ngodaba lukaSosha

$
0
0

Bahlukene phakathi abantu ezinkundleni zokuxhumana ngesenzo somculi we-kwaito okuthiwa umukluze kanzima umfundi wase-Durban University of Technology.

|||

MBALI KHANYILE

BAHLUKENE phakathi abantu ezinkundleni zokuxhumana ngesenzo somculi we-kwaito okuthiwa umukluze kanzima umfundi wase-Durban University of Technology, eflethini lakhe eliseMorningside ngesonto eledlule.

Isolezwe ngoMgqibelo libike ngalolu daba lukaSbonelo “Sosha” Ngcobo okuthiwa ulale ebaliwe ngoLwesine ebusuku ngenxa yokusolwa ngokushaya uNksz Anele Mjoli (22) waseMbizana, e-Eastern Cape, wakhishwa ngebheyili ka-R500.

Abantu abaphawule ezinkundleni zokuxhumana nalolu daba, bahlukene phakathi njengoba abanye bezwelana noNksz Mjoli, abanye beseka uSosha.

Omunye wabo ongowesifazane kulabo abebekhombisa ukweseka lo mculi uphawule ngokuthi: “Ngiphakamisa isithupha esikhulu. Cha uyisikhokho udlisa ngempela, ngesonto eledlule bebekhuluma ngawe namanje basakunakile okukhombisa ukuthi uyindoda yangempela. Abasale kanjalo omonase.”

Omunye wabesilisa abamesekayo uthe: “Abantu bazama zonke izindlela zokudicilela igama lakho ngoba uphezulu. Lo sisi unamanga futhi nami bengingeke ngimyeke Mapholoba, bengizogiya phezu kwakhe okwangempela nx.”

Abanye bakhwele badilika kuSosha.

Omunye wabo ephawula uthe: “Ngolunye usuku kuyoshaywa wena, umfana osile akambeki isandla umuntu wesifazane.”

“Hhayi suka makaboshwe uSosha, kumele athole ontanga yakhe naye ashaywe aze afe, isibozi sendoda esingafundanga nesingenanhlonipho.”

Kulindeleke ukuthi uSosha aphinde avele enkantolo yaseThekwini ngoMeyi 8.

Sishubile isimo ejele laseWestville

$
0
0

Kubikwa ukuthi sibi isimo ejele laseWestville KwaZulu-Natal ngenxa yesigameko sokubhaxabulwa kweziboshwa.

|||

CELANI SIKHAKHANE

KUBIKWA ukuthi sibi isimo ejele laseWestville KwaZulu-Natal ngenxa yesigameko sokubhaxabulwa kweziboshwa okuthiwa bezishaywa wuphiko olubizwa ngeStability Unit olugasele ngaphakathi ejele kungazelelwe kuzophenywa abathile ababoshiwe.

Ezinye iziboshwa kuthiwa zishaywe zaze zakhishwa amazinyo zalimala kabi kanti kugcine sekuphoqeleka ukuthi kuvalwe izikhungo zangaphakathi zokusiza iziboshwa okuyisikole, umtapo wolwazi nesibhedlela.

Lesi sigameko silandelwe ngesangoLwesibili lapho kuthiwa bekulwa iziboshwa zaze zagwazana zodwa kwagobhoza igazi kwagcina ngokuthi kufike abezimo eziphuthumayo baphuthumisa esibhedlela labo abalimele.

Lesi sidumo kuthiwa sisuke eMedium B section B3 lapho okuhlala khona iziboshwa eziyingozi iningi lazo elisuke linamacala okubulala.

“Bekukubi ngoba kufike iStability Unit, esivamise ukutheleka singalindelwe, ebusuku ngabo-10 ngoMso-mbuluko sizophenya. Kuthe kusenjalo kwahiliziswana kwaqala umsindo kuvuswa iziboshwa sezilele kwaqhuma induku abanye beshaywa ngisho ubuntu babo, bekhahlelwa ngamantombazane abesuka eMpangeni nalolu phiko.

“Ezinye iziboshwa ezikhonza kwaShembe ziphoqwe ukuthi zigunde amakhanda nokube ngesinye isizathu esidale umsindo kwaliwa,” kusho esinye isiboshwa esipotshozele Isolezwe.

Okunye okuthiwa kususe ukungaboni ngasolinye kube wukuthi iziboshwa bezikho-nonda ngokuthi kungani ziseshwa ngabantu besifazane ngoba yinto engavumelekile.

Lesi siboshwa sithe abakusolayo wukuthi kunojele abafuna kube nokungalawuleki kweziboshwa ngalesi senzo ngoba zithukuthele futhi zicikekile ngokwenzekile kuzo.

Ngenxa yalolu dlame olwenzeke ngoMsombuluko ebusuku nangoLwesibili ezinye iziboshwa eziphila ngamaphilisi okuthithibalisa igciwane lengculazi nalezo ezidla imishanguzo yokudambisa isifo sofuba zisale dengwane.

Kwenzeka lokhu nje kuke kwaba nezikhalo ngobudlova obungaphakathi kuleli jele nokunukubezwa kwezinye iziboshwa ngokocansi obekulokhu kubikwa ngakho emithonjeni yabezidaba.

Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo esifundazweni uNkk Nonkululeko Memela uthe basazophenya kabanzi ngalesi sigameko ukuze bathole ngokwenzekile.

“Okwamanje asikabi nalo ulwazi oluphambi kwethu kodwa sizokwenza uphenyo ukuze sikwazi ukuthola ukuthi kwenzakaleni nanokuthi ngabe kuyiqiniso yini lokhu okushiwoyo,” kusho uNkk Memela.

Izolo iziphathimandla zaleli jele bezimatasa zibhunga ngalolu daba kodwa bekuyinguyazana yomhlangano.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live