Umphakathi waKwaNongoma uphithene amakhanda ngomyalelo kaNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Senzo Mchunu wokuba kuvalwe izikole ezine esigodini esisodwa.
|||CELANI SIKHAKHANE
UMPHAKATHI waKwaNongoma uphithene amakhanda ngomyalelo kaNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Senzo Mchunu wokuba kuvalwe izikole ezine esigodini esisodwa, okuhlanganisa nesiqanjwe ngonina weSilo samaBandla KwaNongoma.
Lezi zikole okungezamabanga aphansi zisesigodini iNgoqongwane, kuthiwa uMchunu ufuna ukuzivala, abafundi bathuthelwe kwezinye ezikude kakhulu.
Phakathi kwezikole ezizovalwa kubalwa iQueen Thomozile Primary, eqanjwe ngeNdlovukazi uThomozile Ndwandwe ozala iSilo samabandla, yiMpumalanga Primary, Mankulumane Primary okuyiyo esuse umsindo kuqala, neNsolwane Primary.
Abafundi balezi zikole, uMnyango kuthiwa ufuna ukubakhipha kuzona uyobafaka eQueen kaMsweli eseduze kwesigodlo saseNyokeni, esebangeni elingamakhilomitha angu-9 kanti abanye kuhlelwa ukuthi bafakwe esikoleni iQueen kaMathathela.
“Isiphethe kabi le nto uMchunu afuna ukuyenza ngoba okokuqala zona lezi zikole asezivala kade zabakhona futhi zakhiwa nguMnyango wakhe njengoba esefuna ukusihluphekisa azivale,” kusho esinye isakhamuzi ebesiphatheke kabi.
Iningi lezingane ezifunda ezikoleni ezizovalwa lineminyaka ephakathi kwemihlanu kuya kwengu-10 kanti abazali banovalo lokuthi zingahlaselwa yizigebengu uma sezilubhada ngonyawo ziya ezikoleni ezintsha.
Esinye sezikole esisuse umsindo kule ndawo iMankulumane Primary okuthiwa umphakathi wafaka isicelo sokuba yakhiwe ngo-2004 kodwa uNgqongqoshe wangaleso sikhathi okwakunguNkk Ina Cronje wagunyaza ukuba sakhiwe ngo-2005.
“Ngaleso sikhathi uMnyango wezeMfundo waletha amagumbi esikhashana amabili ayimijondolo, wasifakela namathoyilethi amabhakede kwabiywa.
Emva kwalokho akuphindanga kwaqhubeka lutho ngaphandle kokuthi safakelwa othisha. Kuthe uma sibona kuhamba isikhathi sacela iMeya uNkk Zanele Magwaza-Msibi ukuba asisize ngamagumbi okufunda nokunye okungasiza izingane nothisha, babe sendaweni ephephile. Kuthe kusenjalo sezwa kuthiwa uNgqongqoshe uMchunu uxabana naye ngalokho, usekhuluma ngaye le koMzimkhulu ekubeni kuyithina singumphakathi esamcela,” kusho uMnuz Zungu owale waphetha negama lakhe ongusihlalo wabazali eMankulumane.
UMnuz Simon Mahlambi oyinduna, uthe abathandi ukuba izikole zivalwe ngoba ngisho uMnyango ungathembisa ukuthi uzobathutha abafundi lokho bayazi ukuthi kuyokwenzeka isikhashana bese abantu bezimoto beyeka, sebethi abakhokhelwa.
UMnuz Muzi Mhlambi okhulumela ezeMfundo esifundazweni, uthe akulona iqiniso ukuthi izikole ziyavalwa kodwa uNgqongqoshe usaxhumana nabazali ukuze baqhamuke nesixazululo.
Uthe okunye abakubhekayo kulezi zikole yisibalo sabafundi nokubheka ukuthi basizakala kangakanani kuzona ngaphambi kokuqhubeka nohlelo lokubayisa kwezinye.
“Empeleni akusizona kuphela izikole zaKwaNongoma ezikulesi simo kodwa zikhona nakwezinye izindawo esifundazweni. Nakuzona uNgqongqoshe uMchunu ubengakasithathi isinqumo ngoba usaxhumana nezinhlaka zomphakathi bese kuvunyelwana ngento eyodwa,” kusho uMhlambi.
Uthe isikole iMankulumane asikaze sigunyazwe uMnyango wezeMfundo kodwa savele yakhiwa nje bengayazi, bewuMnyango babona ukuthi abasisize ngothisha abane nangezinsiza.