Umengameli Jacob Zuma usephefumulile ngenkulumo eyenziwe uMnuz Trevor Manuel othe sesiphelile isikhathi sokuthi labo abakuhulumeni bagxeke ubandlululo ngezinto ezenzekayo ezweni.
|||
INTATHELI YESOLEZWE
UMENGAMELI Jacob Zuma usephefumulile ngenkulumo eyenziwe uNgqongqoshe wezokuHlela ehhovisi likaMengameli uMnuz Trevor Manuel othe sesiphelile isikhathi sokuthi labo abakuhulumeni bagxeke ubandlululo ngezinto ezenzekayo ezweni. UManuel inkulumo yakhe esidale ukuphawula kubantu wathi ongqongqoshe kuhulumeni akumele ngaso sonke isikhathi uma kumele balethe intuthuko kubantu bakhale ngobandlululo kodwa kumele basebenzise amandla abo njengoba sekuyophela iminyaka engu 20 uhulumeni oholwa i-ANC ubusa.
Inkulumo yakhe ayehlanga kahle kozakwabo be-ANC kodwa amaqembu aphikisayo abonakale emtusa ngokukhuluma “iqiniso” ngokungesabi.
Ekhuluma esikhumbuzweni sikaNobhala-jikelele weSACP owasocongwa uChris Hani, uZuma uthe akuyona into elula ukuthi kubonakale ushintsho kule minyaka engu-20.
Uthe umonakalo owadalwa ubandlululo usazoba khona ezweni isikhathi eside.
“Ukuphakamisa ukuthi angeke sikwazi ukugxeka ubandlululo ngezinto ezenzekayo manje ezweni lethu, ngicabanga ukuthi kuyiphutha elikhulu ezintweni esingazisho,” kusho uMengameli enkulumeni yakhe yize engazange amgagule uManuel ngegama.
Uveze ukuthi asikho isidingo sokuthi baze bakhombise ukuthi yini eyenziwa ubandlululo. “Iqiniso ukuthi izwe linye kodwa lihlukene kabili, uya kunoma yiliphi idolobha kunengxenye enhle bese kuthi kwenye ingxenye kube nemijondolo. Lokhu akwenziwanga intando yeningi ngakho asikwazi ukuyeka ukugxeka labo abenza lokhu,” kugcizelela uZuma.
Ekhuluma ngesonto elidlule uManuel wathi abasebenzi bakahulumeni kumele bakhumbule ukuthi basebenzela umphakathi hhayi amaqembu abo ezepolitiki.
Ngemuva kokugxekwa inyunyana iNehawu ngale nkulumo yakhe, uManuel waziphendulela ethi yena akazange athi azisekho izibazi zobandlululo kuleli kodwa wathi asisekho isidingo sokuchasha ngalo uma kumele kuyiswe izidingo kubantu.
Indodakazi encane kaHani ikhuluma emcimbini wakhe izolo, ithe uyise wayeyiqhawe emehlweni ayo. ULindiwe ukusho lokhu emcimbini wokukhumbula uyise obuseGoli izolo.
“UChris Hani wayehlale eyiqhawe lami kodwa angizange ngibone ngaleso sikhathi ukuthi wayeyiqhawe lomhlaba wonke,” usho kanje.
“Nganginganakile ukuthi ubaba unguChris Hani waze washona.”
ULindiwe uthe njengendodakazi encane, uyise ubengamazi ngoba ubengahlali nomndeni ngenxa yokuthi wayesekudingisweni.
“Ngangingazi nokuthi uyisishoshovu esasilwela inkululeko,” kusho uLindiwe.
Uthe uyise wayezinikele ekulweleni izwe lakhe, wathi ukukhunjulwa kwakhe ngemuva kweminyaka engu 20 adlula emhlabeni kuyisibusiso.
“Okubuhlungu wukuthi angizange ngilithole ithuba lokuzilela ubaba ngenxa yokuthi izwe lonke lalibuka.”
Uthe wayalwa ukuba aziqinise, angakhombisi ukuba ntekenteke, angakhali.
“Eminyakeni engu-20 edlule izwe lonke lalila kodwa wonke umuntu wayelokhu enathi nomndeni besisingethe. Ngiyamkhumbula ubaba, ngihlezi ngimcabanga nsuku zonke. Ngiyazi nabantu ngokunjalo bayamkhumbula.”
Ekhuluma ngaphambi kukaZuma izolo uNobhala weSACP uMnuz Blade Nzimande uthe uHani wayengumholi owayesebenzela abantu engabhekile kakhulu iholo njengoba aqoka ukuhola iSACP.
UNobhala weCosatu uMnuz Zwelinzima Vavi naye obekhona kulo mcimbi uthe uHani “ubeyophoxeka kakhulu ngobugovu nabantu abathanda izinto nalabo abasebenzisa izikhundla abanazo zepolitiki njengethuluzi lokuziqoqela umcebo”.
“Wayengeke ayivumele le nkohlakalo ekhona nokumoshwa kwemali yomphakathi futhi wayeyokhathazeka ngokubulawa kwamaqabane kubangwa izikhundla,” kusho uVavi.
UNzimande uthe kunzima ukwazi ukuthi uHani ngabe ukusiphi isikhundla ukube usaphila, “kodwa engikwaziyo wukuthi ubezokuya kohola abantu lapho i-ANC ne- SACP imthume khona”.
“UChris wayezokubeka eceleni ukuthi yena ufisani bese evumelana nalokho inhlangano ethi makakwenze, kubandakanya nokuya kuhulumeni uma kuthiwe makaye khona,” kusho uNzimande.
UVavi phambilini useke wabagxeka abaholi beSACP abafana naye uNzimande, onguNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, ngokuthatha izikhundla kuhulumeni ekubeni benezikhundla emaqenjini abo.