Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Ukhathazekile ngemali yesinxephezelo

$
0
0

Sikhathazekile isaguga saseMabheleni, eMthwalume, esizodlelwa imali yaso yokulimala kulandela ukungatholakali kwefayela laso esibhedlela iRK Khan eChatsworth.

|||

BONGIWE ZUMA

SIKHATHAZEKILE isaguga saseMabheleni, eMthwalume, esizodlelwa imali yaso yokulimala kulandela ukungatholakali kwefayela laso esibhedlela iRK Khan eChatsworth, lapho esalashwa khona izinyanga emuva kokulimala engozini yemoto.

UNkk Florence Nkomo (73) uthi sekuphele iminyaka emine egqigqa kulesi sibhedlela kodwa lutho ukutholakala kwefayela lakhe.

Okumkhathaza kakhulu ngukuthi imali yesinxephe-zelo sokuba sengozini yemoto okufanele ngabe kade asithola sesizosulwa ngoba alitholakali ifayela eliqinisekisa ukulimala kwakhe kule ngozi ngo-2008.

“Ngalimala ngaze ngabhoboka imbobo ekhanda okwenza ngahlala izinyanga eziningi esibhedlela.

Ngithe uma ngiphuma ngabhalisela imali yesinxephezelo, bangiphendula ngokuthi isicelo sami siphumelele nemali isikhona kodwa manje kushoda ifayela lasesibhedlela elibambe le mali.

Incwadi yokugcina abangithumelele yona ePitoli ithi nginikezwa izinyanga ezintathu, uma lingatholwa ifayela bayiphindisela emuva imali okufanele ngiyithole kulesi sikhwama sezinxephezelo,” kusho uNkk Nkomo.

Uqhube ngokuthi le mali uyayidinga futhi izomsiza ngoba emuva kokulimala engozini akazange esaphila impilo ejwayelekile ngenxa yezinhlungu ezisekhanda, ikakhulu uma kubanda.

Uthe lokhu kubangwa yingozi esekhanda ngoba uma eselala uyasikhumula isigqoko esisitha umoya bese liqaqamba ubusuku bonke njengoba kungafanele alale naso.

Uqhube ngokuthi imisebenzi yasendlini ebezenzela yona isiyamehlula nayo nokudinga aqashe umuntu ngemali yempesheni aziphilisa ngayo.

Indodana yakhe, uMnuz Msizi Nkomo (38), ithe sebegqigqe isikhathi eside kulesi sibhedlela baze bakhokhiswa nemali ekwathiwa eyokufuna leli fayela ngokushesha.

“Kwathiwa asikhokhe u-R90 ukuze lisheshe lifunwe ifayela likamama kodwa lutho alitholwa.

Lokhu kungiphethe kabi ngoba siyagibela cishe masonto onke siyolibheka bavele bathi abahlengikazi abaliboni.

Isicelo sakhe sesize siphelelwa isikhathi nemali isizoze ibuyele emuva,” kusho uNkomo.

Okhulumela isibhedlela, uKamla Chetty, uthe uzohlela usuku oluzovumelana noNkk Nkomo ukuze baxoxisane bakwazi nokuthola imininingwane engabalekelela ukuthola leli fayela.

“Isibhedlela asinayo inkinga ukumsiza ngefayela lakhe kodwa ngizodinga imininingwane eminingi ephathelene nokungena kwakhe esibhedlela ukuze kube lula ukuthi asizakale ngokushesha. Lokhu kungenzeka ngesonto elizayo uma enganankinga nokuzobonana nami esibhedlela,” kusho uChetty.


Kubhikishe abe-IFP kuhoxa icala ngoXulu

$
0
0

Kusuke uthuthuva ehostela laKwaMashu eThekwini ngemuva kokuphuma kwesinqumo senkantolo sokuhoxiswa kwecala likaMnuz Sanele Zondi.

|||

CELANI SIKHAKHANE

KUSUKE uthuthuva ehostela laKwaMashu eThekwini ngemuva kokuphuma kwesinqumo senkantolo sokuhoxiswa kwecala likaMnuz Sanele Zondi, obesolwa ngokubulala ikhansela le-IFP uMnuz Themba Xulu wakuward 39 ngonyaka odlule.

Izolo ntambama amalungu e-IFP amashele esiteshini samaphoyisa eyofuna incazelo ecacile, ukuthi udedelwe kanjani uZondi efuna nokuzwa ukuthi ngabe kanti amaphoyisa ayephenye ngokungeyikho yini njengoba esededelwa.

Ngemuva kwalokho kuvalwe ngamatshe nangemigqomo emikhulu kadoti imigwaqo engena ehostela, kuqhuma inhlamba, abesifazane bememeza abanye bekhihla isililo bethi iNkatha iyazondwa yingakho behlushwa kudedelwa nabantu ababoshwayo.

Abanye bebefake izikibha ezinobuso bukaXulu bediniwe behluleka ngisho ukuzibamba bethi bafuna ukwazi ukuthi kwenzakani ngabantu okwakuthiwa bazofakaza kuleli cala njengoba selihoxiswa.

Inkantolo ikhiphe isinqumo sokuthi leli cala iyalihoxisa ngoba abawofakazi abatholakali kulolu daba.

Umholi we-IFP eThekwini uMnuz Mdu Nkosi, uthe nakuba bethukuthele kodwa bayakuqonda okushiwoyo ngoba bakholwa wukuthi akumele umsebenzi wamaphoyisa uphazanyiswe kuze kube kutholakala ubufakazi obubambekayo.

“Isinqumo sokuthi leli cala lihoxisiwe siyasiqonda ukuthi asisho ukuthi liphelile ngoba nenkantolo ishilo ukuthi inkinga ufakazi akatholakali kanti namaphoyisa asethembisile ukuthi azosebenza ngokuzikhandla kuze kutholakale ufakazi ozosiza ekutheni libuyiswe,” kusho uNkosi.

UXulu wasocongwa ngabantu ababezibiza ngamaphoyisa ngonyaka odlule wanyamalala isonto lonke engaziwa, kwaze kwasiza abantu ababeyokha amakhowe ezimobeni abathola isidumbu sakhe sesiqala nokonakala, sinamanxeba emzimbeni, siboshwe izandla nezinyawo.

Ngemuva kwalokho kwaba nezinsolo zokuthi ubulewe ngabantu beNFP kodwa kwagcina kuboshwe usomatekisi waseStanger uZondi kanti naye udedelwe yinkantolo ngoba engasaveli ufakazi.

Izolo izimoto bese kuphoqeleka ukuthi zizame eminye imizila yokungena ngenxa yokuthi amatshe nemigqomo kadoti nezihlahla bese kugcwele umgwaqo kusuka ngasesigodlweni seSilo eMbelebeleni.

* Kwenzeka lokhu nje elinye icala elithinta ukubulawa kukaNksz Celiwe Shezi we-IFP owayeyingxenye yababesolwa ngokuyohlasela umuzi wakwaMnuz Bhungu Gwala we-NFP, lihoxisiwe.

UMnuz Bonginhlanhla Gwala noMnuz Sbusiso Ncengwa badedelwe ngoMsombuluko kodwa zangabekwa izizathu. Asebesele uMnuz Bhungu Gwala, unogada uMnuz Skhumbuzo Nxumalo noCelimpilo Gwala.

Bagadwe ngezibhamu abasebenza emathuneni

$
0
0

Sebesebenza begadwe ngezinhlokohlela zezibhamu abasebenzi basemathuneni aseSeventini eMlazi, kulandela ukushuba kwesimo esidalwe ukugasela kwequlu labahlali bakuleli hostela befuna ukuqashwa kula mathuna ngodli.

|||

NQOBILE MASIMULA

SEBESEBENZA begadwe ngezinhlokohlela zezibhamu abasebenzi basemathuneni aseSeventini eMlazi, kulandela ukushuba kwesimo esidalwe ukugasela kwequlu labahlali bakuleli hostela befuna ukuqashwa kula mathuna ngodli.

Kuthiwa kulesi sigameko esenzeke ngoMsombuluko, iqulu labahlali baseSeventini ligasele kula mathuna, lafike lakhipha ngoshova abasebenzi, okubalwa kubona abagumba imigodi yamathuna.

Umsebenzi kaMasipala weTheku obekulaba abakhishwe ngoshova, ongathandanga ukuthi kudalulwe igama lakhe ngenxa yokwesaba, uthe kumanje basathuthumela bengabasebenzi ngenxa yalokhu kuhlaselwa.

“Namanje asikasebenzi ngokukhululeka ngoba asazi ukuthi leli qulu lingaphinde libuye nini. Sibone sekukhahlelwa izicabha ngoMsombuluko, sakhishwa ngoshova ezindlini zokushintshela, kwangasho lutho ukuthi ungumsebenzi wesifazane noma owesilisa,” kusho lo msebenzi.

Uthe leli qulu ebelibakhipha libatshele emehlweni ukuthi libafuna bephumile kulo msebenzi ngoba awusoze walehlula nalo.

“Ngenxa yokuthi sase sisaba kwaphoqeleka ukuthi sishiye konke phansi siziphephise.

Abanye bashiya ngisho izitsha zabo ezinokudla namafoni ngoba saphuma ngesamagundane,” usho kanje.

Uthe nangoLwesibili liphinde labuya leli qulu kodwa kwasiza ukuthi kufike ikhansela lendawo, okuyilona elikwazile ukubalawula baphumela ngaphandle.

Ethintwa mayelana nalesi simo uMnuz Thembinkosi Ngcobo oyiNhloko yezamaPaki namaThuna, uthe bakhethe ukuthi baqashe onogada abazokwandisa ezokuphepha kula mathuna.

“Sisigxeka ngayo yonke indlela lesi senzo sabahlali bakuleli hostela, sokuzoxosha abasebenzi endaweni yabo yokusebenza. Lokhu sikuthatha njengenye indlela yobugebengu ngoba akekho ongazi ukuthi kunemigudu efanele elandelwayo kulabo abafuna ukuqashwa eminyangweni ehlukene kamasipala,” kusho uNgcobo.

Uthe bazobagcina onogada kuze kube siyadamba isimo ngoba abafuni ukubeka engcupheni izimpilo zabasebenzi babo.

“Sizoqalisa nophenyo oluzoveza ukuthi le nto ivelaphi, yize sazi ukuthi imiphakathi yethi ibhekene nesihlava sokuntuleka kwemisebenzi,” usho kanje.

Kusolwa utshwala engozini enyantisayo

$
0
0

Ziqinile izinsolo zokuthi utshwala bube yimbangela yesibhicongo sengozi okushone kuyo abantu abayisithupha emgwaqweni omkhulu u-R66, eMelmoth.

|||

NQOBIZIZWE ZWANE

ZIQINILE izinsolo zokuthi utshwala bube yimbangela yesibhicongo sengozi okushone kuyo abantu abayisithupha emgwaqweni omkhulu u-R66, eMelmoth, eyenzeke ngoLwesibili ntambama njengoba emotweni okuthiwa idale ingozi kutholwe amabhodlela otshwala.

Kule ngozi okuvalwe kuyo ngehlahla yashiya neKwaZulu-Natal ikhungathekile, kushone uMnuz Sthembiso Kubheka (20) obeshayela iMercedes Benz C200 eshayisane neveni ebelihamba abasebenzi ababili baseMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi, ejikeni eliyingozi kulo mgwaqo.

UKubheka ushone endaweni yesehlakalo kanye nabangani bakhe uMnuz Sduduzo Ntuli (21), uMnuz Thabiso Sithole (21) kanye nabanye ababili. Amaphoyisa aseMelmoth abesematasatasa ezama ukuthola imindeni yabo njengoba kuvele ukuthi abakahlonzwa. Amaphoyisa aphinde aveza ukuthi asazama ukuthola umndeni womsebenzi wesifazane eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi oshone endaweni yesigameko, kwasinda ngenhlanhla uNksz Lungisile Champion okuvela ukuthi usesimeni esibucayi esibhedlela esikule ndawo.

Isolezwe lithole ngomthombo osebenza ezimotweni ezihlangula ezisuke zisezingozini ukuthi bekunenqwaba yamabhodlela emotweni ebihamba uKubheka negenge yakhe.

“Anginanazi ukuthi laba bafana bebedakiwe. Amabhodlela otshwala atholakale emotweni yabo abemaningi ngendlela exakile. Into ebuhlungu ukuthi sekudlule abantu emhlabeni ngobudedengu bezingane,” kusho lo mthombo.

Omunye wabantu ozibonele kwenzeka le ngozi, ocele ligodlwe igama lakhe uthe imoto ebihamba igenge kaKubheka ibidla amagalani kubonakala ukuthi beqisile ezinkambeni zikaFaro.

“Angikaze ngiyibone into ebuhlungu kanjeya. Ngeke iqiniso silibalekele ukuthi imoto yalaba bafana ibigijima futhi bebedakiwe. Ithina esivule iveni ngembazo, elokhu ekhalile umuntu wesifazane ngaphakathi ethi ‘ngilekeleleni’. Sithe sesivulile lona omunye ubesethule engasanyakazi, kucaca ukuthi useshonile. Imoto yalaba bafana iphenduke iqashana kucaca ukuthi akuphumanga muntu ngendlela igazi ebeliyiyo ngisho emasondweni,” kusho umthombo ozibonele.

Unina kaKubheka, uNkk Thandi Mbuyisa obekunzima nokukhuluma, uthe indodana yakhe wagcina ukukhuluma nayo ngesikhathi eyithuma ukuthi iyokhokhela ugesi ne-bond oLundi.

“Ngabona kuhamba isikhathi engaqhamuki ngase ngimfonela kodwa lwangabanjwa muntu. Ngaqhubeka ngazama kodwa lutho, ngazama nomngani wakhe kodwa lutho. Emva kwesikhashana zavaleka izingcingo zabo. Emva kwemizuzwana kwafika umuntu odonsa izimoto esibuza ukuthi sesizwile yini ngengozi,” kusho uNkk Mbuyisa ovele wahluleka nokuqhubeka ngenxa yeminjunju.

Umfowabo omdala kaKubheka, uMnuz Cebo Mbuyisa, uthe amaphoyisa abavimbela ukuthi basondele endaweni yesibhicongo ngendlela okwakuyiyo.

“Laba abanye abakaziwa nokuthi abakuphi ngoba asilitholanga nethuba lokusondela sizidelise njengoba amaphoyisa ayesivimba sisekude ngendlele okwakuyiyo emgwaqweni,” kusho uMbuyisa.

Eqhubeka uthe uzwile ukuthi umfowabo ubezama ukudlula enye imoto ejikeni ngesikhathi kwenzeka le ngozi.

“Ubezama ukudlula enye imoto ejikeni. Ubeyingane futhi ekhuzeka emaphutheni akhe,” egoqa ngamafuphi.

Ngesikhathi Isolezwe lifika kule ndawo bekunezingcucu zomzimba evenini ngaphakathi negazi lisabonakala.

Emotweni ebihamba uKubheka bekunezicucu zamabhodlela amanzi amponjwana negazi lisabonakala ezitulweni nezimpahla ababezigqokile.

Okuqaphelekile ukuthi kuphambene nomthetho ukudlula enye imoto ejikeni okwenzeke kuyo le ngozi.

UNgqongqoshe wezokuThutha, uMnuz Willies Mchunu, udlulise amazwi enduduzo emindenini yabashonile nabalimele. Kulindeleke ukuthi ahambele le mindeni namuhla. Esitatimendeni asithumelele abezindaba uthe useqoke ithimba elisezingeni eliphezulu elizophenya ngembangela yale ngozi.

Uthisha ugwaze omunye phakathi esikoleni

$
0
0

Kusuke esinamathambo ngoMsombuluko uthisha waseMzomusha Primary School eNanda Newtown, egwaza emagcekeni esikole iphini likathishanhloko ngoba elisola ngokuchema nezintombi zesoka lakhe elishadile futhi elifundisa kuso lesi sikole.

|||

ZANELE MSOMI

KUSUKE esinamathambo ngoMsombuluko uthisha waseMzomusha Primary School eNanda Newtown, egwaza emagcekeni esikole iphini likathishanhloko ngoba elisola ngokuchema nezintombi zesoka lakhe elishadile futhi elifundisa kuso lesi sikole.

UNkk Ntombi Nduli waseVerulam, eThekwini ogwazwe nguthisha, Isolezwe elinalo igama lakhe, uthi ungene ehlazweni njengoba konke lokhu kwenzeke esikoleni. Kumanje usezinhlungwini emuva kokugwazwa ngento ecijile okungatholakalanga ukuthi iyini.

Udokotela omhlolile esibhedlela eMt Edgecombe, uthole ukuthi akophanga kodwa wamnikeza amaphilisi okumele awadle izinsuku eziwu-28 ngoba esola ukuthi kungadaleka ubuthi emzimbeni.

UNkk Nduli othi usefundise eMzomusha iminyaka ewu-20, uthi sekukaningi ethukwa wuzakwabo ngayo indaba yesoka. Okwenzeke ngoMsombuluko bekungaphezu kwamandla njengoba evule necala uzakwabo walandwa ngamaphoyisa khona esikoleni.

Elanda uthi ubesehlezi ehhovisi lakhe kufika uzakwabo wamthuka. Uthe uzakwabo ubesola othisha abaningi ngokuthi bathandana nesoka lakhe.

Uthi isono sakhe uNkk Nduli wukuthi kukhona omunye wothisha axoxa naye, amsola ngokuthi uthandana nesoka lakhe.

“Uthe mina ngichema nezinye izintombi zesoka lakhe ngoba uyangibikela ngingenzi lutho.”

UNkk Nduli uthi uze waphuma ehhovisi wangena endlini yangasese kanti uzakwabo uyamlandela.

“Ngizwe ngento ingigwaza emhlane, ngaphenduka wangigwaza nasesiswini,” kusho yena.

Uthi uphume empampa eya ehhovisi likathishanhloko wafica kuvaliwe. Ngaleso sikhathi nezinhlungu bezingasamnike thuba. Uye emtholampilo oseduze wabuye wadlulela esibhedlela ngoba abahlengikazi bathe abanayo imshini yokuhlola umonakalo ngaphakathi. Ngakusasa uvukele emaphoyiseni wayovula icala.

Uzakwabo ulandwe ngamaphoyisa esikoleni ngoLwesibili.

Izolo uNkk Nduli uyile esikoleni ngoba ezwe kuthiwa kuzofika ikomiti leSadtu nomhloli wesekethe. Uthe usembikele lonke udaba umhloli, othe uzolunika abangaphezu kwakhe ngoba lubucayi. Uveza ukuthi ngeke kusasebenzeka kahle ngoba uzwe amahlebezi okuthi kunabathize abamsolayo ngokubopha uzakwabo.

UMnuz MS Majola ongumhloli, ongathandanga namagama akhe, uvumile ukuthi uyalwazi udaba. Uthe usexoxile nabo bobabili othisha ukuthola kahle umsuka wengxabano.

“Ngendlela engizwe ngayo udaba lungalungiseka uma kuxoxwa. Ngisazobikela uMnyango wezeMfundo sibone ukuthi siluxazulula kanjani,” kusho yena. Uthe ukufunda nokufundisa ngeke kuphazamiseke.

UCapt Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe amaphoyisa aphenya icala lokuhlukumeza.

Owesifazane oboshiwe uneminyaka ewu-45, uzovela enkantolo yaMantshi eNtuzuma namuhla.

UVavi ugxeka abapotshoza izindaba

$
0
0

Unobhala weCosatu, uMnuz Zwelinzima Vavi izolo ugxeke abanye abaholi angabadalulanga ngamagama ngezenzo zokuvukela umbuso ngokukhipha izindaba ezingamahlebezi ngaye kwabezindaba.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

UNOBHALA weCosatu, uMnuz Zwelinzima Vavi izolo ugxeke abanye abaholi angabadalulanga ngamagama ngezenzo zokuvukela umbuso ngokukhipha izindaba ezingamahlebezi ngaye kwabezindaba.

“Njengamanje ayikho into esivumelana ngayo nalabo baholi abayimithombo yalawa mahlebezi. Sekuphakathi kokuthi bayaphumelela ukuhlakaza iCosatu noma siyabaveza bese sibhekana nabo ngqo,” usho kanje.

UVavi ubekhuluma engqungqutheleni yeNational Union of Metalworkers of SA’s (Numsa) ePitoli izolo.

Uthe ukwehlukana nokuklwebhana kwabo sekuvula inkebenkebe yethuba lemibono eyehlukene nokuyinto esiyenze bakhohlwa wumsebenzi obalulekile wokulwela abampofu.

“Kungenzeka kuthathe izinyanga noma iminyaka kodwa ekugcineni sizobanqoba laba bantu.

Anginakho ukungabaza ngalokho. Abakwenzayo kwedlula ngisho ukuvukela umbuso.”

Uthe usekhulume kaningi ethi labo abamsola ngenkohlakalo abeze nobufakazi.

“Sithi alukho uphenyo. Bona bathi ‘lukhona futhi usezohamba manje’. Uma benabo ubufakazi ngabe kade babunikeza abamaphephandaba,” usho kanje.

“Sengibatshele kaningi ukuthi ‘ababulethe sibubone’.

“Usuku okuyovela ngalo ubufakazi bokuthi ngabenzela phansi abasebenzi ngokubantshontshela okuthile, kuyoba wusuku oluyosho ukuthi angikufanele ukuhlala kulesi sikhundla engikuso. Ngiyohamba.”

UVavi uyayiphika imibiko emyamanisa nomkhonyovu wokudayiswa kwekomkhulu leCosatu elidala elalikuLeyds Street, eBraamfontein eGoli.

“Kade ngangicela imithombo ukuthi ilethe ubufakazi obukhomba ukuthi uVavi nomndeni wakhe wahlomula kulokhu kudayiswa kwaleli bhilidi.’’

IPopcru ayihambisani nokubuyiswa kukaCele

$
0
0

Unobhala wenyunyana yamaphoyisa KwaZulu-Natal iPopcru, usekubeke kwacaca ukuthi angeke bazihlanganise nalabo abafuna kubuyiswe uMnuz Bheki Cele.

|||

CELANI SIKHAKHANE

UNOBHALA wenyunyana yamaphoyisa KwaZulu-Natal iPopcru, usekubeke kwacaca ukuthi angeke bazihlanganise nalabo abafuna kubuyiswe owayenguMkhuzi walo mbutho uMnuz Bheki Cele ngoba basagculisekile ngomsebenzi kaKhomishana omusha, uNkk Riah Phiyega.

UMnuz Kwenza Nxele uphawule kanje ngemuva kokwanda kwezikhalo kumalungu omphakathi amanye abebhalela ngisho imithombo yabezindaba ethi kudingeka abuyiswe uCele esikhundleni sakhe ukuze alwe nobugebengu.

UNxele uthe isinqumo abasithatha angeke bagudluke kuso sokuthi bayokweseka noma yimuphi uKhomishana oqokwa ngumengameli wezwe ukuthi alawule lo mbutho.

“Nakuba bekhona abantu abangamalunga omphakathi abakhalela uCele kodwa kithi njengenyunyana akekho kumalungu ethu oseke wenza isikhalo esinjalo futhi nathi kasizimisele ukuhlanganyela nalabo abafuna ukuthi kubuye uCele. Ngaphandle kwalokho esikwenzayo wukuthi sinikeze isibindi uKhomishana wethu okhona ukuze akwazi ukusebenza abhekane nezimo ezikhona embuthweni,” kusho uNxele.

Ngesonto eledlule uCele kuthe ngesikhathi esohlelweni lwezingxoxo lwasebusuku emsakazweni i-East Coast Radio, kwangena iningi labalaleli ebelikhala ngokukhishwa kwakhe esikhundleni lisho nokuthi ubuholi bakhe busadingeka emaphoyiseni.

Abanye bebencoma nendlela akwaze ngayo ukwehlisa izinga lobugebengu emalokishini nasezinxanxatheleni zezitolo ezinkulu obekuhlale kudlange kuzo ubugebengu.

UNxele uthe ukuphumelela kukaKhomishana kuncike nasekutheni bameseke njengenyunyana ngoba basuke bekuhlonipha ukunikezwa kwakhe lo msebenzi.

“Ngesikhathi uCele esengumkhuzi wamaphoyisa sakhombisa okukhulu ukumeseka nokungezinye zezizathu ezaholela ekutheni akwazi ukuphumelela empini yokulwa nobugebengu,” kusho uNxele.

UCele waba nyamanambana kule nyunyana ngesikhathi ethula amagama ezikhundla ayesetshenziswa ngobandlululo embuthweni wamaphoyisa.

Ngesikhathi abalaleli bembuza uCele ukuthi ngabe usazimisele yini ukubuyela emaphoyiseni wathi ukulungele ukuya noma yikuphi lapho ejutshwa khona yiqembu.

Abasineki abasebenzi base-Unisa ngamaholo

$
0
0

Siyashuba isiteleka sabasebenzi base-Unisa njengoba namhlanje abasebenzi baKwaZulu-Natal bezosijoyina.

|||

MHLENGI SHANGASE

SIYASHUBA isiteleka sabasebenzi base-Unisa njengoba namhlanje abasebenzi baKwaZulu-Natal bezosijoyina.

Izolo uphiko lwaseSunnyside, ePitoli luvaliwe ngenxa yesiteleka esiqale kuleli sonto sabasebenzi abafuna ukunyuselwa amaholo ngo-11.7% ekubeni abaphathi babeke u-5.6% etafuleni.

Abasebenzi bakulesi sifundazwe bebengakateleki njengoba imvume yokubhikisha bebengakayitholi.

Okhulumela i-Unisa esifundazweni, uNksz Gcina Nhleko, uthe namhlanje kuzoshuba njengoba abasebenzi bezongenela isiteleka.

Uthe amahhovisi abo eNewcastle, Richards Bay, Wild Coast naseMgungundlovu azophazamiseka ngenxa yalesi siteleka.

“Isikhathi sokufaka izicelo kubafundi abafuna ukufunda ngoJuni ngakho zonke lezo zinhlelo zizophazamiseka.

Abanye abafundi kumele balethe umsebenzi wabo abanye kumele ubuyiselwe kubona ngakho isiteleka sizophazamisa kakhulu,” kusho uNksz Nhleko.

Uthe abafundi abafuna ukuhambisa umsebenzi wabo bangawuthumela nge-internet ku-myunisa ukuze ukwazi ukufika.

“Abafundi abangezi esikhungweni bafake izicelo kwi-internet ngoba kuzoba nokuphazamiseka. Sizobazisa uma sesiphelile isiteleka.”

Okhulumela lesi sikhungo kuzwelonke, uMnuz Martin Ramotshela, uthe isizathu sokuvala uphiko olusePitoli yingoba abasebenzi abaningi abakwazanga ukungena bafike kuvinjiwe.

Uthe izimoto bezivalelwe zingakwazi ukungena kodwa abahamba ngezinyawo bebekwazi bona ukungena ngaphakathi basebenze.

UMnuz Sizwe Pamla, okhulumela iNehawu ehola lesi siteleka, uthe abasebenzi bamise ukusebenza ngoLwesibili ngenxa yokufinyelela kwangqingetshe kwezingxoxo zamaholo.

Uthe abasebenzi baqale bafuna u-12%, abaqashi bemile ku-5.3%, behla bafinyelela ku-11.7% abaqashi bama ku-5.6%.

“Izingxoxo zikwangqingetshe ngoba sibuya nakwa-CCMA sathola incwadi yokuthi asivumelani. Izikhulu ezingu-55 zase-Unisa zatamuza u-R19 million wamabhonasi nyakenye, ekubeni abasebenzi abangu-4 500 behlukaniselwe u-R40 million,” kusho uPamla.

Abasebenzi bateleka nje ngenyanga ezayo kuqala izivivinyo kanti abasebenzi bathe bazoteleka baze bathole lokhu abakufunayo kubaphathi.


Babhikishe bavala imigwaqo kwaXimba

$
0
0

Sishubile isimo kwaXimba, eCato Ridge, lapho umphakathi ubhikishe wavala imigwaqo izolo ukhala ngentuthuko othi ayifiki kuwo ngenxa yoqhekeko olukhona endaweni.

|||

NONHLANHLA MKHABELA

SISHUBILE isimo kwaXimba, eCato Ridge, lapho umphakathi ubhikishe wavala imigwaqo izolo ukhala ngentuthuko othi ayifiki kuwo ngenxa yoqhekeko olukhona endaweni.

Kusukela ngoLwesithathu ebusuku umgwaqo ongenela erenki yamatekisi akwaXimba uvaliwe emuva kokuphazamiseka komhlangano obuphakathi kwamalungu esiShayamthetho nomphakathi. Emhlanganweni bekuzolalelwa izikhalo zomphakathi kodwa awuphelanga ngoba abantu okusolwa ukuthi bangamalungu eqeqebana eliphikisana nekhansela eliphethe bafika bawuhlakaza.

Umphakathi ukhala ngokuthi iziphathimandla ziwuyekelele zibe zibona uqhekeko olukhona oludala ukuthi intuthuko ingabi khona.

Abantu bahlukene phakathi – kunabeseka ikhansela elidala, uMnuz Susimpi Ngubane, nabeseka ikhansela eliphethe, uMnuz Musa Mkhize.

UMnuz Bongani Maduna, oyilungu lomphakathi, uthe sebake baludlulisela ngisho nakuMengameli Jacob Zuma udaba lokuvimbezeleka kokulethwa kwezidingo ngenxa yokwehlukana phakathi kodwa wathi akazange aphendule.

Izidingo umphakathi othi zihamba phambili kwizimfuno zazo yizindlu, amanzi, amathoyilethi nemigwaqo.

UNksz Phumzile Mhlongo, oyilungu lomphakathi, uthe kubuhlungu ukubukela abantu bethuthuka ngapha nangapha kodwa bona bebe bengenzelwa lutho.

“Amanzi siwahluphekela kakhulu kabi. ekhaya sibaningi simpintshene endlini encane ngoba asakheliwe izindlu zomxhaso,” kusho uNksz Mhlongo.

Ikhansela eliphethe, uMkhize, lithe indawo umphakathi ohleli kuyona akuyona ekaMasipala weTheku ngakho bekusalindwe ukuthi uyithenge bese kuqala uhlelo lokwakhiwa kwezindlu.

UMkhize uthe usihlalo wekomidi lokuhlaliswa kwabantu kumasipala, uMnuz Nigel Gumede, ofike kule ndawo nezinye iziphathimandla uhlele umhlangano nomnikazi wendawo.

“Sizohlangana naye nabameli bakhe kusasa ngoba naye uzimisele ukuyidayisa indawo bese siphuma nesikhathi esizobekelwa ukuqala uhlelo lokwakha,” kusho uMkhize.

Uthe udaba loqhekeko olusendaweni lubikiwe kwi-ANC futhi iyona esizoza nesisombululo.

NgoLwesithathu kwathi kusaqhubeka umhlangano kwaqhamuka iqeqebana labantu elafike labhoka ngolaka lithi indlela yokumemezela umhlangano nokuhlinzekwa ngezokuthutha ibicheme nabeseka ikhansela.

Umhlangano owawuphethwe yilungu lePhalamende, uMnuz Zibuse Mlaba, kwaphoqeleka ukuthi uhoxiswe.

UMlaba ubekhona izolo kubhikishwa ukuzozama ukwehlisa imimoya kubantu futhi kube nguyena uqobo obize uMnuz Nigel Gumede.

Unzima umthwalo kovuvukalelwa ubuso

$
0
0

Uthwele kanzima owesifazane osemncane onenkinga yobuso obuvuvukala ngokweqile, osekuholele ekutheni ahlale esihlalweni esinamasondo ngenxa yokusindwa wubuso.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

UTHWELE kanzima owesifazane osemncane onenkinga yobuso obuvuvukala ngokweqile, osekuholele ekutheni ahlale esihlalweni esinamasondo ngenxa yokusindwa wubuso.

UNksz Phumzile ‘Lilo’ Duma (21) waseMafakatini ngaphandle kwaseMgungundlovu, uthi uyafisa ukuphila impilo efana neyamanye amantombazane angontanga bakhe.

Lo wesifazane osehlala ngokuqhutshwa ngesihlalo esinamasondo waqala ukuba neqhubu emhlane nasebusweni efunda uGrade 3 kodwa odokotela bathi akanalutho.

Uthe odokotela abazange bamhlole kodwa bambuyisela ekhaya. Leli qhubu lakhula usuku nosuku waze waqala ukusindelwa yilesi sigaxa ebesilokhu sikhula emhlane nasebusweni.

“Umama wangiphindisela kodokotela. Ngahlinzwa ngo-2011, kwangalunga, ngaphinde ngahlizwa okwesithathu kwabukeka sengathi kuba ngcono. Ngakusasa ngavuka ngingasakwazi ukuhamba nobuso sebungisinda kakhulu.

Ngaphoqeleka ukuba ngisebenzise isihlalo. Impilo yami isimile ngoba angisakwazi kuzenzela izinto, ngincike emndenini wami,” kusho uNksz Duma.

Unina kaPhumzile uNkk Forence Duma uthe akasafuni indodakazi yakhe iphinde ihlinzwe ngoba kuyayihlukumeza. Uthe ufuna indodakazi yakhe ithole isikole ngoba iyayithanda imfundo.

“Kusukela esemncane uphazamisekile esikoleni ngoba izingane bezimhleka. Wayofunda esikoleni sabakhubazekile nakhona kwaba nzima ukufunda ngenxa yokugula. Manje ngiwa ngivuka ngimfunela isikole kodwa akathathwa ndawo. Ingane yami ihlezi iphupha ngokuba yisifundiswa njengoba igcine kuGrade 4,” kusho uNkk Duma.

Lo mndeni ohlala endlini yodaka, uphila ngemali yempesheni kaNksz Duma kuphela njengoba kungekho osebenzayo.

“Impilo inzima ngoba angikwazi ukuyofuna amatoho ngokukhululeka ngoba kumele nginakekele ingane yami. Nendlu esihlala kuyo iyanetha ngoba imali yakhe yempesheni ayineli ukuba sakhe indlu elungile nefanele ukuhlala umuntu ogulayo,” kusho uNkk Duma.

UNksz Duma uthe into ayifisayo ukuba athole ukulapheka nozobakhela umuzi. “Uma ngibuka amanye amantombazane angontanga bami ngiyazibuza ukuthi kungani mina ngingakwazi ukuba nempilo efana neyabo.

Ofisa ukufaka isandla angaxhumana nomndeni kule nombolo: 076 898 9937.

Bashaqekile nge-video yowesifazane

$
0
0

Ishaqise abaningi i-video yowesifazane waseLimpopo ovezwe eshaywa ngabasebenzi abebemsola ngokweba esitolo.

|||

Intatheli yeSolezwe

ISHAQISE abaningi i-video yowesifazane waseLimpopo ovezwe eshaywa ngabasebenzi abebemsola ngokweba esitolo.

UMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, ungomunye wabethuswe yilesi senzo futhi usephawulile ngaso.

Uthe wonke umuntu kuleli zwe unelungelo lobulungiswa nokuvikelwa wumthetho.

“Noma ngabe umuntu wenze buphi ubugebengu unelungelo lokukuvikelwa isithunzi sakhe,” kusho yena.

Kuboshwe abasebenzi abayisihlanu ngalesi sigameko okubikwa ukuthi senzeka ngo-Okthoba nyakenye.

OMnuz Matthew Makofane, Thabang Makuwa baboshwe noNksz Maria Mahlaela, Gladys Maphanga noRefilwe Mzimba. Bonke basebenza ezitolo eJane Furse khona eLimpopo.

Basolwa ngokushaya owesifazane oneminyaka engu-49 abathi untshontshe iphakethe lamaphenti.

UMakofane noMahlaela banikezwe ibheyili ka-R500 eNkantolo yeMantshi eNebo ngoLwesibili.

UMaphanga, uMzimba noMakuwa basavalelwe ngenxa yokuthi kutholakale ukuthi bake bathinteka emacaleni afanayo phambilini.

UMnuz Zuma ukushayele ihlombe ukuboshwa kwalaba basebenzi wagcizelela nokuthi umthetho kumele usebenze.

Amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesibili athe laba basebenzi abathathu bake bathinteka emacaleni okushaya izingane phambilini.

“Kuvele ukuthi ngonyaka odlule bake bashaya izingane ngemvubu bezisola ngokweba esitolo,” kusho uBrigadier Hangwani Mulaudzi, okhulumela amaphoyisa.

Amaphoyisa ancinzwe indlebe ngale video yalo wesifazane obeshaywa ngesando esiyirabha. Kuthiwa wabuye washaywa ngamanye amathuluzi ngesikhathi abanye abasebenzi beqhubeka nokumshutha.

Le video iqale ukubonakala emuva kokuba elinye lamaphephandaba liyifake enkundleni yezokuxhumana ngoMsombuluko.

UBrigadier Mulaudzi uthe lo wesifazane akaze alivule icala ngonyaka odlule njengoba amaphoyisa eze alivula kuleli sonto.

Abasolwa kulindele bavele futhi enkantolo ngoMso-mbuluko ngama-cala okuhlukumeza ngenhloso yokulimaza.

Basinde ekufeni bewelwa wudonga

$
0
0

Usinde ngokulambisa umndeni waseDassenhoek ngesikhathi umthangala wakwamakhelwane uwa ubhodloza udonga lwendlu abebelele kuyo.

|||

LUNGI LANGA

USINDE ngokulambisa umndeni waseDassenhoek ngesikhathi umthangala wakwamakhelwane uwa ubhodloza udonga lwendlu abebelele kuyo.

UNkk Bongiwe Gwala (50) uthi basazibuza ukuthi indodakazi yakhe, uNksz Nokulunga Gwala (36) nezingane zayo ezimbili basinde kanjani emuva kokuwelwa wudonga lwekamelo abebelele kulo ekuseni izolo.

“Sivuswe wumsindo kanti umthangala wakwamakhelwane sewuwise udonga lwasekhishini nasekamelweni obekulele kulo indodakazi yami nabazukulu bami ababili,” kusho uNkk Gwala.

Uthe babonga ukuthi indodakazi yakhe iphume nemihuzukwana ngoba iphuthunyiswe esibhedlela eCrompton, ePinetown yasheshe yabuyiswa.

Isolezwe lifice lo mndeni nomakhelwane bematasa bezama ukulungisa izindonga nophahla lwendlu kwazise nesimo sezulu besisibi.

UNkk Gwala uthe akuqali ukuthi kwenzeke lokhu emzini wabo.

“Nasekuqaleni konyaka ngoFebhuwari luke lwawa udonga lwakamakhelwane, lwalimaza elinye igumbi. Bebesithembisile ukuthi bazosisiza kanti sinethemba lokuthi bazosifeza isethembiso sabo,” kusho uNkk Gwala.

Umakhelwane wabo, uMnuz Edwin Dlamini ongumnikazi womthangala owile, ube ngomunye wabebezama ukulekelela umndeni wakwaGwala.

Usole amanzi asuka emgwaqweni ngokuwa kodonga. Uthe inkinga enkulu wukuthi ayikho imizila evuliwe ukuze amanzi emvula akwazi ukugeleza ngaphandle kokwenza umonakalo emizini yabantu.

“Sisola ukuthi udonga lusazophinde luwe ngoba seluqalile lutshengisa ukuba neminkenke nakwezinye izindawo,” kusho uDlamini.

Uthe babikele ikhansela ngesehlakalo kodwa labatshela ukuthi kunomhlangano ophuthumayo eliya kuwona, lathembisa ukuthi lizovela maduze nje lizobona umonakalo odalekile.

Lithintwa ngalolu daba, ikhansela uMnuz Bheki Patrick Mfeka, lithe baphazanyiswe wumhlangano wesabelo-mali.

“Sizimisele ngokuya kuleya ndawo siyobabheka ukuze sibone ukuthi singayisiza ngani imindeni esenkingeni. Bengihlele ukuthi ngifike khona nethimba elibhekele izinhlekelele ngoba bese ngilazisile ngalesi sigameko,” kusho uMfeka.

Impilo inzima eMakhapha Combined

$
0
0

Kuqhubeka kanzima ukufunda nokufundisa esikoleni, iMakhapha Combined esiseGugwini, eNanda osekuphenduke ijoka likathishanhloko ukuthenga ikhadi likagesi ukuze kuqhubeke ukufunda ngenxa yengwadla yokuntula imali.

|||

NQOBIZIZWE ZWANE

KUQHUBEKA kanzima ukufunda nokufundisa esikoleni, iMakhapha Combined esiseGugwini, eNanda osekuphenduke ijoka likathishanhloko ukuthenga ikhadi likagesi ukuze kuqhubeke ukufunda ngenxa yengwadla yokuntula imali.

Lesi sikole esiqala kwaGrade R sigcine kwaGrade 12, sinabafundi abangu-1161. Kuthiwa sekuphele izinyanga ezingaphezu kweziyisishagalombili siqhuba ukufunda nokufundisa ngokucacamezela nangobumnyama uma uthishanhloko uMnuz S’busiso Dumakude engenayo imali yokuthenga ugesi wekhadi.

“Zifunda kanzima izingane zakulesi sikole, angifuni ukuqamba amanga, ngenxa yesimo esingaphansi kwaso. Angazi ugesi wekhadi ngiwuthenga kangaki ngesonto ngoba livele lithi nyampu esikhaleni. Uma liphela kufanele ngiyeke konke engikwenzayo ngiyolithenga ngoba akukho okungaqhubeka ngaphandle kukagesi. Uma liphela ngingekho kuyaciciyelwa kuhlanganiswe ukuze kuqhubeke ukufunda ngoba singabazali nathi, ngeke siyekele izingane zingafundi noma liguga iphakethe,” kusho uDumakude.

Isolezwe liphinde lahabula ukuthi akuwona wodwa ugesi oyingqinamba kulesi sikole kodwa kunenkinga yokunqamuka kwamanzi. Kulesi sikole kuthiwa kunompompi owodwa nje vo lapho abafundi abangaphezu kwenkulungwane bebuthelana khona uma befuna ukuphuza amanzi.

Ephendula ngalolu daba uDumakude, uthe ukunqamuka kwamanzi kungaphezu kwamandla akhe, eveza ukuthi ubona nobungozi ngenxa yezingane ezincane.

“Kuyiqiniso enikuzwile. Amanzi avele aphele esikhaleni kulesi sikole, okufaka impilo yethu sonke engozini ngoba amanzi ayisidingo empilweni yomuntu, ikakhulukazi njengoba kunezingane ezincane ngaphakathi kwalesi sikole,” kusho uDumakude.

Ukuphela kwamanzi kuthiwa kuholela ekutheni abafundi bakhishwe kungakabi yisikhathi kanti nomama abaphekayo kuthiwa badonsa kanzima behamba ibanga elide beyofuna amanzi ngamabhakede ukuze bapheke.

Okuphinde kwahlaluka kulesi sikole wukuthi basengcupheni abafundi bakaGrade R kuyaku-Grade 4 ngenxa yesimo sezindlu ezincane abazisebenzisayo.

Lezi zindlu ezincane zisesimeni esibucayi njengoba zibhodlokile bese ziba nomgodi ingane engakhalakathela kuwona uma zingaqaphelile.

Omunye wabafundi, uMandisa Gasa (13) uthe bahlezi bevimba izingane ezincane zifuna ukusebenzisa lezi zindlu ezincane.

“Siyasaba ngisho ukungena kwezisasele ngoba ziyawa. Izingane ezincane zihlezi ziza ngapha bese sizivimba ngenxa yemigodi ezingaphoseka kuyo,” kusho uMandisa.

Umthombo ongaphakathi kulesi sikole, uthe ithimba elajutshwa wuMnyango wezeMfundo ngo-Okthoba wonyaka odlule, lahamba ijuba likaNowa, lutho izimpendulo.

“Kuningi abakubona njengokushoda kothisha, ukuminyana kwezingane kodwa abakaze babuye nosizo. Njengamanje uthishanhloko usegweme isiteleka befuna ukuxosha uthisha owenza kahle kakhulu. Kungangcono uma uMnyango ungazizwela lezi zingane, uyilungise le nkanankana esikhungethe,” kusho umthombo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN, uMnuz Sihle Mlotshwa uthe kunzima ukuthi angaphawula ngalolu daba, eveza ukuthi ubengazi ukuthi kunezikhalo zalolu hlobo.

“Ithimba elajutshwa angilazi, angikwazi nokuthola ukuthi selihambe ibanga elingakanani. Bengingazi ukuthi kunezikhalo ezifuze lezi kodwa udaba sizolucubungula,” kuphetha uMlotshwa.

Abasebenzi base-Unisa bemukele u-7%

$
0
0

Zidonse ubusuku bonke izingxoxo phakathi kwabaphathi nabasebenzi base-Unisa zokuzama ukuqeda isiteleka esidonse izinsuku ezine.

|||

MHLENGI SHANGASE

ZIDONSE ubusuku bonke izingxoxo phakathi kwabaphathi nabasebenzi base-Unisa zokuzama ukuqeda isiteleka esidonse izinsuku ezine, esesiphazamise ukulethwa komsebenzi wabafundi nokubhalisa kwalabo abafuna ukuzofunda kulesi sikhungo.

Lesi siteleka esiqale ngoLwesibili odlule, sigcine siphelile ngempelasonto ngemuva kwalezi zingxoxo ezidonse ubusuku bonke kwaze kwasayinwa isivumelwano ngoLwesihlanu ntambama.

Abasebenzi bebefuna u-11.7%, isikhungo sibeke etafuleni u-5.6% sanyuka sabeka u-6.2% saze sama ku-7% ogcine wemukelwe ngabasebenzi.

Lesi sikhungo sakubeka kwacaca ukuthi sizosebenzisa uhlelo lokuthi ongasebenzanga ngeke ahole.

Okhulumela iNehawu kulesi sikhungo, uMnuz Trevor Khanyile, obeyingxenye yethimba lezingxoxo, uthe ngemuva kwezingxoxo ezidonse ubusuku bonke bawamukele u-7%.

Uthe bayile kubasebenzi beyobatshela, kwavunyelwana kodwa kusazoba nokhukhulela ngoqo womhlangano okulindeleke ukuthi ube kusasa lapho bezobe bebachazela kahle.

“Isiteleka esidonse izinsuku ezine siphelile ngemuva kokusayina isivumelwano nabaphathi. Mayelana nezinsuku ezine esaziteleka kusazoboniswana ngayo,” kusho uKhanyile.

Uthe namhlanje bonke abasebenzi babuyela emsebenzini, izingxoxo zihambe kahle kakhulu.

Okhulumela lesi sikhungo, uMnuz Martin Ramotshela, uthe kugcine kuvunyelwene ngokuthi wonke umuntu uzonyuselwa amaholo ngo-7%.

Uthe njengoba bekuvalwa ngoLwesihlanu ukubhalisa kulabo abafuna ukuzofunda kulesi sikhungo banqume ukuhlehlisa usuku lokuvala ukuze abafundi beze bezobhalisa.

“Njengoba bekunesiteleka abanye abafundi abakwazanga ukuzobhalisa ungakashayi uLwesihlanu, ngakho sibe sesilula umnqamulajuqu kuze kube isekupheleni kuka-Ephreli ukuze abafundi bakwazi ukubhalisa,” kusho uRamotshela.

Mayelana nokungakhokhelwa kwabasebenzi abangazange basebenze, uthe kuvunyelwane ngokuthi lezi zinsuku ziphendulwe zibe yilivu.

UZuma ubonge emadlozini akubo

$
0
0

Umengameli uMnuz Jacob Zuma izolo udlisele ogageni izinsizwa ngokuhuba izaga ngesikhathi ebonga emadlozini ngokudla umhlanganiso eMangaung lapho akhethwa khona ukuthi ahole i-ANC ihlandla lesibili.

|||

MLUNGISI GUMEDE

UMENGAMELI uMnuz Jacob Zuma izolo udlisele ogageni izinsizwa ngokuhuba izaga ngesikhathi ebonga emadlozini ngokudla umhlanganiso eMangaung lapho akhethwa khona ukuthi ahole i-ANC ihlandla lesibili.

UZuma obevunule econsa ephethe izinduku, umkhonto nehawu elimhlophe iNyonikayiphumuli, ukhombise elinye ikhono ebelingaziwa lokuhuba izaga nokugiya.

Uthathe cishe imizuzu engaphezu kuka-20 esesibayeni ehuba namabutho kunguyena owaholayo phambili ngaphambi kokuthi ayidede inkundla washiyela abanye.

Ngesikhathi ehuba abantu besifazane bebekikiza kufuthwa namacilongo.

Ubebuye azivikise izinsizwa zigoqane phakathi esibayeni.

Nenkosi yakwaNxamalala uMnuz Bhekumuzi Zuma nayo ingenile phakathi kwamabutho yahuba kancane yalandelwa yinsizwa okuthiwa uKhalalenja.

Isolezwe lifike kwaZuma ngabo-10 ekuseni ngaleso sikhathi uZuma ubesazigqokele nje izingubo zakhe engakavunuli efake nophaqa.

Umcimbi uqale ngabo-11.30 uZuma waya kohlangabeza amabutho lapho abehleli khona esikoleni iMyakanya High.

Ube esebuya nawo amabutho behamba ngezinyawo ibanga elingamakhilomitha amabili behamba behuba kwama yonke into emgwaqeni.

Babuye bangena esibayeni lapho bese kudliselwana ogageni ngokuhuba nokugiya.

Ngaphandle esibayeni bekudlalwa nezingoma zikamasikandi, nabaculi bawo okubalwa kubo uThokozani Langa.

Abantu bebebulala inyoka begcwele igceke, beqhamuka ezindaweni ezehlukene befike ngamatekisi namabhasi.

Bekuhlatshwe izinkomo ezingu-10 kulo mcimbi wokubonga.

Kuzokhumbuleka ukuthi uZuma wenza umcimbi ecela kwabadala ukuthi bambheke ngesikhathi eya eMangaung wafike waphuma phambili.

Njengenjwayelo izintatheli zithwale kanzima ezinye zaxoshiswa okwezinja.

Umthwebuli weSolezwe usatshiswe ngokuthi ikhamera yakhe izophahlazwa phansi ngoba akalaleli uma ekhuzwa.


Luphele kabi uhambo lobeye egaraji

$
0
0

Kudubuleke ngephutha owesilisa obeyozikhiphela imali egaraji lokuthela uphethiloli eliku-Booth Road, ngase-Cato Manor eThekwini, ngesikhathi kugasela abaphangi abebehlomile ngoMgqibelo ngezithuba zawo-10 ebusuku.

|||

NQOBILE MASIMULA

KUDUBULEKE ngephutha owesilisa obeyozikhiphela imali egaraji lokuthela uphethiloli eliku-Booth Road, ngase-Cato Manor eThekwini, ngesikhathi kugasela abaphangi abebehlomile ngoMgqibelo ngezithuba zawo-10 ebusuku.

UMnuz Mlungisi Masango (25) waseChesterville obedume ngelikaMfana, oshone endaweni yesigameko, ubeyokhipha imali yokukhokhela umalume ohambisa ingane yakhe esikoleni, wase ethenga uphaya ngaphakathi kuleli garaji kanti usezohlangana nalo mshophi.

Umzala wakhe, uMnuz Zamo Masango, uthe basadidekile ngale nto ebehlele bengumndeni ngoba sekulahlekelwe bona ekubeni umzala wakhe ubengahlangene nakancane nokuphangwa kwegaraji.

“Kusize kona ukuthi kukhona abamaziyo uMlu abebeyozithengela amaqhwa kuleli garaji kanti bazofika esedutshuliwe babe sebesazisa singumndeni ukuthi sekunesigameko esinje esesehlele uMlu,” kuchaza uMasango.

Uthe ngokuzwa kwabo kugasele amadoda amahlanu abehlomile egaraji afike alalisa phansi bonke abantu abebeze kulona.

Kuthiwa bafune ngodli imali ebisesisefweni bagcina bephumelele ukuyithatha kodwa kwangaba lula ukuhamba nayo ngoba kuqhamuke onogada abavulele ngenhlamvu bebhekise kubona.

“Sisola ukuthi uMlu udubuleke ngesikhathi onogada bedubulana nezigebengu,” kusho uMasango.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uLt- Colonel Vincent Mdunge uthe okwamanje kusaboshwe abasolwa ababili mayelana naleli cala.

“Amaphoyisa abophe abasolwa ababili ngecala lokuphanga kuhlonyiwe. Abanye abasolwa basagcwele amathafa kanti sinethemba lokuthi nabo bazoboshwa maduze nje,” kusho uMdunge.

Uthe asikaqinisekiswa isamba semali eshaqwe abebezophanga kuleli garaji.

Imibuzo ngotholwe ebulewe ngesihluku

$
0
0

Usashaqekile umndeni wowesifazane wakwa-H, eMlazi emuva kokutholakala kwesidumbu sakhe emagcekeni esikole, ehlinzwe wabulawa.

|||

LUNGI LANGA

USASHAQEKILE umndeni wowesifazane wakwa-H, eMlazi emuva kokutholakala kwesidumbu sakhe emagcekeni esikole, ehlinzwe wabulawa.

UNksz Sithembile Sibiya (30) utholakale ebulewe egxotshwe ngamatshe izolo esikoleni samabanga aphansi eSidingo Primary kwa-J, eMlazi, izolo.

Uninalume kaNksz Sibiya, uMfundisi Mandla Sibiya ongumfundisi waseLuthela kwa-H uthe namanje basazibuza ukuthi ngubani obengabulala umshana wakhe ngesihluku esingaka.

“Bakhiphele amathumbu akhe ngaphandle, bamshaya ngembokodo ekhanda. Asazi ukuthi ngabe yini ebingenza ukuthi umuntu aze enze lokhu,” kusho uSibiya.

Uthe uNksz Sibiya bamgcine kuthangi evakashele abangani bakhe.

Umchaze njengomuntu obevame ukuvakashela abangani bakhe abuye ngakusasa kwezinye izikhathi. Abazitshelanga ukuthi kukhona okumehlele bebona engabuyi.

“Besingazitsheli ukuthi angafa kanje. Besilindele ukuthi mhlawumbe angabulawa wukugula ngoba ubehlala ngokugula. Sithukile uma sekufika iphoyisa lizosicela ukuthi sizohlonza isidumbu sakhe,” kuqhuba uSibiya.

Emagcekeni esikole amalungu omphakathi abengawuvali umlomo ngesehlakalo sokubulawa kukaNksz Sibiya.

Amalungu omphakathi angathandanga ukuthi amagama awo asetshenziswe odabeni, athe sekuvamile ukuthi kubulawe abantu batholakale kulesiya sikole.

“Njalo ngonyaka kutholakala abantu bebulewe esikoleni. Phambilini kwatholakala owesilisa enamanxeba okudutshulwa ngisho ezinqeni. Kwake kwatholakala omunye enamanxeba okugwazwa,” kuchaza elinye ilungu lomphakathi.

Emagcekeni akwaSibiya bebengena bephuma abantu abebezokhalisa umndeni.

Esinye isihlobo sizwakale sithi ibukeka ihambisana nemikhuba yobusathane indlela abulawe ngayo uNksz Sibiya.

Sithe basola nokuthi ngumuntu obemazi lo ombulele ngoba ebona ukuthi uzomveza.

USibiya uthe basola nokuthi indawo atholakale kuyo akabulalwanga kuyo ngoba belingekho igazi kuyona.

Igazi libonakale ngesikhathi sekususwa itshe ebelibekwe ekhanda lakhe. Bathole nokuthi usikwe nasemqaleni.

Uthisha wasesikoleni atholwe kusona umufi, ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba uthe nabo bengothisha bakhathazekile ngezigameko zokutholakala kwabantu sebebulewe esikoleni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukutholakala kwesidumbu sikaNksz Sibiya.

“Owesifazane utholakale ekuseni. Asikazi ukuthi bekuyini imbangela yokubulawa kwakhe,” kusho uZwane.

USibiya uthe basola ukuthi udlwenguliwe ngaphambi kokubulawa.

UMnuz Sihle Mlotshwa woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe akumele ukuthi yonke into eyenzeka ezikoleni ihlanganiswe nomnyango.

Ebuzwa ngokuthi umnyango wenzani ukubhekana nezinkinga ezifana nokuba khona kopotsho othangweni lwezikole okwenza izigebengu zingene kalula kuzona, uthe kungenzeka ukuthi obulewe uphonswe ngaphezulu kothango lwesikole.

“Asazi ukuthi abantu ababulele lo muntu bangenile noma abangenanga yini esikoleni ngesikhathi beshiya isidumbu.

Kumele kwazeke ukuthi ubugebengu yinto ekhona emphakathini akuyona into ethinta izikole kuphela,” kusho uMlotshwa.

Isalala emnyango imindeni edilizelwe

$
0
0

Isahleli emnyango namanje imindeni yaseLamontville endaweni asebeyiqambe ngokuthi yiMadlala Village, emuva kokudilizwa kwemijondolo yayo ngoLwesihlanu.

|||

NQOBILE MASIMULA

ISAHLELI emnyango namanje imindeni yaseLamontville endaweni asebeyiqambe ngokuthi yiMadlala Village, emuva kokudilizwa kwemijondolo yayo ngoLwesihlanu.

Imvula yangempelasonto iphelele kuyona njengoba imijondolo yayo ebalelwa ngaphezu kwekhulu yadilizwa ngamaphoyisa kaMasipala weTheku ayephume ngobuningi, ngoba kuthiwa bayigxumeke kule ndawo ngokungemthetho.

Sekuyihlandla lesine le mindeni idilizelwa imijondolo kule ndawo iphinde isuswe kodwa ibuye ngenkani.

UNksz Noxolo Phangindawo, omunye walaba asebengumtshingo ubethwa ngubani, uthe sebephila impilo yokuquba ezihlotsheni eziseduze.

“Angazi ngempela ukuthi lo mdonsiswano wethu noMasipala uyoze ufinyelele kuphi?

Emuva kokukhishwa kwethu ngoLwesihlanu ikhona imindeni eqale phansi ukugxumeka amatende ezizeni zayo,” kusho uNksz Phangindawo.

Uthe bona abebakhe ngamapulangwe nokunye basenkingeni njengoba kuthatha isikhathi ukuthi baphinde bakhe kabusha imijondolo yabo.

“Izimpahla eziningi zamosheka njengoba laliyidliva imvula ngesikhathi amaphoyisa ezisaphaza yonke indawo ngoba nakhu kuthiwa siyizaphulamthetho. Angazi ukuthi ngizocelela izingane zami ezihlotsheni kuze kube nini,” usho kanje.

Le mindeni ithi ibingakulindele ukuthi idilizelwe ngesihluku esinje imijondolo yayo ekubeni kunecala eliqhubekayo enkantolo okumele lingene ngoMeyi 6.

Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Thabo Mofokeng, uthe namanje basamile ekutheni le mindeni kumele ihlale ezindaweni ezihlinzekelwe ukuhlala abantu, abalinde ukwakhelwa izindlu zomxhaso ezaziwa ngolindela.

“Ngeke kubasize ukuqala phansi bavuse imijondolo ediliziwe ngoba bayobe sebekhala futhi uma uMasipala esethumele amaphoyisa ukuthi azoyidiliza,” kusho uMofokeng.

Uthe alukho uhlelo oluzokwenziwa nguMasipala lokukhoselisa le mindeni ngoba ukube lukhona kuyobe kusho ukuthi bayasigqugquzela isenzo sabo.

Umndeni ufisa babanjwe ababulali

$
0
0

Bafisa ukuthi babanjwe ababulale ngesihluku owesifazane, isidumbu sakhe esilaxazwe esikoleni saseMlazi sibekwe inguzunga yetshe ekhanda.

|||

LUNGI LANGA

BAFISA ukuthi babanjwe ababulale ngesihluku owesifazane, isidumbu sakhe esilaxazwe esikoleni saseMlazi sibekwe inguzunga yetshe ekhanda.

Umndeni kaNksz Sithembile Sibiya (30) otholakale ehlinziwe esikoleni samabanga aphansi iSidingo, uthi ufisa kubanjwe abambulele ukuze kusinde namanye amalungu omphakathi.

Uninalume kaNksz Sibiya, uMfundisi Mandla Sibiya wesonto lamaLuthela kwa-H eMlazi, uthe ukutholakala kwababulale umshana wakhe kuyosiza abanye.

“Siyazi ukuthi ukubanjwa kwabo ngeke kusambuyisa uS’the kodwa kuzosindisa abanye. Kubuhlungu ukuthi kunabantu abazulazula elokishini abakwazi ukubu-lala umuntu ngesihluku esingaka,” kusho uSibiya.

Isidumbu sikaNksz Sibiya sitholakale ngeSonto ezinkundleni zemidlalo zesikole sinqunu futhi sihlinzwe esiswini. Ubenenxeba lokugwazwa enhliziyweni, ebekwe nenguzunga yetshe ekhanda.

Izolo uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Sibongiseni Dhlomo uvakashele umndeni wakwaSibiya. Ubemele uNgqongqoshe wezokuPhepha uMnuz Willies Mchunu. Uthe bakhathazekile ngesigameko sokubulawa kukaNksz Sibiya. Uthe bazosiza umndeni ukuze afihlwe.

“Ukubulawa kukaNksz Sibiya kusishaqise kakhulu. Sizimisele ngokusiza umndeni ekutheni ukwazi ukumfihla. Sengenze namalungiselelo okuthi uhlelo lokuhlolwa kwesidumbu lusheshe ukuze kungaphazamiseki izinhlelo abanazo,” kusho uDhlomo.

Okhulumela amaphoyisa eKZN, uCaptain Thulani Zwane, uthe akukaboshwa ngesigameko, amaphoyisa asaqhubeka nophenyo.

Abagculisekile ngesigwebo esinikwe uMoon

$
0
0

Ukuba wumdlali webhola okhokhelwayo kukaBryce Moon kumhlenge ekutheni athole isigwebo esiqinile ngecala abebhekene nalo lokubulala engaqondile.

|||

BOTHO MOLOSANKWE

UKUBA wumdlali webhola okhokhelwayo kukaBryce Moon kumhlenge ekutheni athole isigwebo esiqinile ngecala abebhekene nalo lokubulala engaqondile.

Izolo eNkantolo kaMantshi eseRandburg eGoli, uMoon uhlawuliswe u-R60 000 ngokushayisa abulale umsebenzi wasezindlini, waphucwa nelayisensi yakhe yokushayela futhi ngeke ashayele izinyanga eziyisithupha.

Lo mdlali weBidVest Wits uhlawuliswa nje, ngo-Ephreli 12 watholwa enecala lokubulala engahlosile esigamekweni esenzeka ngoJuni 9, okwashona kuso uNksz Mavis Ncube odabuka eZimbabwe.

Wayeshayela emgwaqweni uKatherine ngesivinini esiphezulu endaweni eyijika okuyilapho ashayisa khona uNksz Ncube.

Ngenkathi ikhipha isigwebo iMantshi uVincent Pienaar, ithe lizoba yisigwebo esiqine kakhulu ijele kuMoon njengoba engumdlali webhola okhokhelwayo.

Uphinde wathi leli cala libi futhi libucayi kakhulu ukuthi uMoon angadedelwa ngaphandle kokuhlawuliswa, yingakho ekhiphe isigwebo sokumhlawulisa u-R60 000 noma aboshwe izinyanga ezimbili amiswe nokushayela.

Imantshi iyalele uMoon ukuba akhokhe u-R20 000 izolo, esele aqede ukuyikhokha ungakashayi u-Agasti 31.

“Ukube ubufakazi bebuveza ukuthi wawushayela uphuzile, isigwebo besizokuyisa ejele kodwa noma yisiphi isigwebo ositholile, akukho okuzobuyisa umufi,” kusho uPienaar.

Uyise kaNcube ubesenkantolo izolo, uthe akagculisekile neze ngalesi sigwebo.

“Akulungile neze lokhu kodwa (noma ngabe uthole siphi isigwebo) bekungeke kumbuyise (uNcube). Uma unemali unelungelo lokubulala eNingizimu Afrika. Uyini nje u-R60 000?” kusho uTinas Mpofu.

UMoon obegqoke isudi empunga, akazange athi vu ngesigwebo sakhe kwaze kwaba uyathathwa ukuyogingqa izithupha.

Ummeli wakhe, uNaren Sangham, uthe basazofaka isicelo sokuphikisa isinqumo nesigwebo senkantolo.

Umqashi kaNksz Ncube, uGregory Turner, ubesenkantolo izolo ephelezela uMpofu naye uthe uphoxekile ngesigwebo.

“Besingeke sikuqagule obekuzokwenzela kodwa-ke salahlekelwa ngoMavis futhi akukho okusayophinde kumbuyise.

“Okwenzeke namhlanje (izolo) enkantolo kutshengisa ngokusobala indlela leli cala ebelisingethwe ngayo kusukela kwasekuqaleni. Uphenyo lwamoshwa ngamaphoyisa noMbuso, ngakho ngeke sisole kangako imantshi noma umshushisi ngesiphetho ngoba kwabonakala ekuqaleni ukuthi lizophela kanjani,” kusho uTurner.

Ukhulume kanjena ngenxa yokuthi ekuqaleni uMoon wayebhekene necala lokubulala, ukushayela budedengu nokushayela uphuzile.

Kwakuthiwa ngesikhathi kwenzeka ingozi wayephuma emcimbini owawukwi-night club, eseSandton, eGoli.

Ngesikhathi sokuqulwa kwecala uMoon wathi wayehambele umcimbi ebusuku bangayizolo, washiya abangani bakhe ngezithuba zo-1 ekuseni wabatshela ukuthi bamthinte uma bezodinga ukulandwa.

Wathi bamthinta ngo-5 ekuseni, waba nengozi esendleleni yokubalanda.

Wabekwa icala lokushayela ephuzile elabuye lahoxiswa ngenxa yokungahlangani kobufakazi.

Imantshi ithe inkantolo imelwe wukudlulisa umyalezo ocacile kulabo abenza amacala.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>