Abagxeka uMnuz Pravin Gordhan ngokufaka u-R167.5 billion wesabelo mali sakhe kwezempesheni kumele bahlale phansi bavale umlomo.
|||BONISWA MOHALE
ABAGXEKA uNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Pravin Gordhan ngokufaka u-R167.5 billion wesabelo mali sakhe kwezempesheni kumele bahlale phansi bavale umlomo.
Zisho kanje izazi zomnotho izolo ngesikhathi kucutshungulwa isabelo mali sikaGordhan emcimbini wakwa-PricewaterhouseCoopers (PwC) obuse-Mhlanga Ridge, eThekwini.
UDkt Roelof Botha oyisazi somnotho esizimele utshele ithimba leSolezwe ukuthi uhulumeni kumele abanike imali abantu abangasebenzi ngoba iyabasiza ukuba baphile futhi ngaphandle kwezibonelelo zakhe miningi imindeni ebizolala ilambile.
“Ngiyisazi somnotho, ngiye ngixakeke uma abantu begxeka ukunyuswa kwesibolelo sezingane (iqolo). Le mali ayigqugquzeli ukukhulelwa kwamantombazane kodwa isiza imindeni eminingi ukuba ilale idlile nezingane zikwazi ukuya esikoleni. Abantu abagxeka uhulumeni basuke bengalwenzanga ucwaningo ngoba u-60% wabafundi abaphase u-matric ngonyaka odlule bebesizwa yisibonelelo sikahulumeni esidume ngokuthi yiqolo,” kusho uBotha.
Amazwi akhe enanelwe nguMnuz Isaac Matshego oyisazi somnotho sakwa-Nedbank othe abangakwazi ukusebenza kumele bazithole izibonelelo zikahulumeni ngoba akumele kube nemindeni elala ingadlile.
UDkt Botha uthe iNingizimu Afrika akumele ikleliswe kabi emuva kwesabelo mali sangoLwesithathu ngoba kukhombisa ngokusobala ukuthi izwe lizimisele ngokuthuthukisa umnotho.
“Uma izinhlangano eziklelisa amazwe ngokomnotho zike zehlisa iNingizimu Afrika emsileni ngizozibhalela ngizibuze ukuthi ziwenza kanjani umsebenzi wazo. Asifani ne-Greece thina, sinezinhlelo zokukhokha izikweletu nokunciphisa imali esiyimoshayo. Uma sikwazi ukuba no-R1.4 trillion lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi siyakwazi ukuhlela umnotho wethu. Okudingekayo manje wukuthi uhulumeni ubophe izifociya, uyeke ukubhubhudla imali emaholweni abasebenzi,”kusho uBotha.
Mayelana nenkampani yamabhanoyi ehlale itakulwa njalo i-South African Airways (SAA) uBotha uthe uyajabula ukuthi uhulumeni ukucacisile ukuthi ngeke kusebenzeka lokhu kunalokho kumele izikhulu zayo zakhe ubudlelwano nezinkampani ezizimele uma zidinga imali.
Ugqugquzele abantu ukuba bangaphatheki kabi ngokuwa kweRandi kwazise izimayini ziyahlomula uma liphansi.
“Uma iRandi liphansi izimbiwa zethu zithengwa ngemali eshisiwe emazweni aphesheya kanti uma linamandla kusho ukuthi isuke ishibhile. Izivakashi ezisuka kwamanye amazwe ziyakwazi ukuchitha imali eningi eSA uma iRandi lethu liphansi ngoba kuyashibha ukuza eNingizimu Afrika. Ukuwa kweRandi akukubi kuyo yonke imikhakha, okwamanje kumele samukele lokhu okwenzekayo,” kusho uDkt Botha.
UMnuz Sizwe Nxedlana ongusomnotho wakwa-FNB uthe balindele ukuthi umnotho ukhule ngo-1.7% kulo nyaka, bayethemba ukuthi iNingizimu Afrika ngeke ikleliswe kabi njengo-Brazil asebeyibambe emsileni kumazwe aziphethe kahle kwezomnotho.