Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Bashonele endaweni abebethi iphephile

$
0
0

Ubemvusa ngovivi umzukulu wakhe ayodayisa naye amagwinya esiteshini sesitimela eReunion ngoba esaba ukumshiya yedwa endlini.

|||

S’MANGELE ZUMA

UBEMVUSA ngovivi umzukulu wakhe uMpendulo Mbanjwa (10), ayodayisa naye amagwinya esiteshini sesitimela eReunion ngoba esaba ukumshiya yedwa endlini.

Kepha leli cebo elimsebenzele iminyaka emihlanu uNksz Nelisiwe Mbanjwa (64) wakwa-L, eMlazi alihambanga kahle ngoLwesithathu ekuseni njengoba besusuluzwe yitekisi ephaphalaze emgwaqweni yabashayisa bashona ujuqu.

Kule nhlekelele kufe nezelamani ezimbili uThelile (16) noPhumelele (15) Shezi abebefunda eMlazi Comtech uGrade 11 noGrade 9. Bobane bebemi eceleni komgwaqo.

Indodakazi kaNksz Mbanjwa, uNksz Lungile Mbanjwa (40), ithe selokhu kwashona unina kaMpendulo, unina ubevuka ngovivi apheke amagwinya bese elungiselela uMpendulo nomunye umzukulu wentombazane ona-13, ahambe nabo baye esiteshini beyodayisa.

“Bebehamba naye sebegezile bagqoke nenyufomu yesikole. Bebelinda etafuleni lakhe kuze kushaye isikhathi sokuya esikoleni. Owentombazane uhamba kuqala esiteshini ngoba ibhasi lakhe liyashesha ukufika.

“UMpendulo ubehlala nogogo wakhe badayise kuze kushaye ihora lesikhombisa amgibelise itekisi uma eseya esikoleni iCwebezela esingalapho behlala khona. Ubekwenza lokhu nsuku zonke ngoba ethi wenzela ukuthi abazukulu bakhe baphephe ngaso sonke isikhathi,” kulandisa uNksz Mbanjwa.

Uthe kumphathe kabi

ukuthi le ndawo unina abezitshela ukuthi iphephile iyona egcine ibabulele.

“Ngenhlanhla umzukulu omdala wayesehambile ngoba bebezofa bonke. Kuyimanje udidekile noma simtshela ukuthi kwenzekeni uvele asibuke athule. Kuzoba nzima kuyena ngoba bobabili la bantu abehlala nabo bashonile. Siphansi phezulu sizama ukuthola ukuthi singasizakala kanjani ngoba akekho umuntu osebenzayo, umama ubeziphilisa ngamagwinya. Safika endaweni yesigameko sebeshonile, amagwinya nopholoni abekudayisa kusakazeke phansi,” kusho uNksz Mbanjwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aseMlazi abophe umshayeli wetekisi oneminyaka ewu-28, obekwe icala lokubulala ngokungenhloso nokushayela budedengu.

“Amaphoyisa abophe umshayeli wetekisi elidale ingozi ebulale abantu abane,” kusho uGwala.

Uthe kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yaseMlazi namhlanje.


Ushiselwe amatekisi amathathu erenkile

$
0
0

Usashaqekile usomatekisi waKwaDambuza, eMgungundlovu, okushe amatekisi akhe amathathu abeserenki.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

USASHAQEKILE usomatekisi waKwaDambuza, eMgungundlovu, okushe amatekisi akhe amathathu abeserenki izolo.

UMnuz Sibongiseni Khanyile (41) uthe namanje usaphithene ikhanda ngembangela yokusha kwamatekisi akhe, abekade emi namanye erenki yaKwaDambuza.

UKhanyile uthe lesi sigameko senzeke ngabo-2 ekuseni ngesikhathi amatekisi esalinde ukulayisha.

Kule nhlekelele kushe iToyota Quantum neToyota Hi-Ace, kwathi enye iQuantum yasha uhlangothi kodwa yahlengeka ingakashi yonke.

“Amatekisi athathwa ekhaya ngabashayeli uma sekuyoshaya u-2. Bafika erenki ngo-2 bese bebhalisela ukusebenza. Bayahamba baye ezindlini zabo bayogeza bese beyabuya baqale ukusebenza ngo-4. Abesamile elindele khona ukuqala alayishe abantu ngesikhathi ethungelwa ngomlilo. Ngivuswe abashayeli kade ngilele, bengitshela ukuthi amatekisi ami ayasha. Ngiphuthumile ngafica impela esavutha amabili. Eyesithathu ikhothwe yilangabi ngasohlangothini kodwa sakwazi ukuyisusa ngesikhathi,” kusho uKhanyile.

Kuvele ukuthi bekukhona namanye amatekisi erenki, elinde ukulayisha, kodwa kwasha akaKhanyile kuphela.

“Amatekisi ami abemi ngandawonye futhi abengasekuqaleni nengicabanga ukuthi yikhona okwenze asha elandelana, kwasinda lawa abanye,” kusho yena.

Ebuzwa ukuthi ngabe yini eqale lo mlilo uthe akazi ngoba akanazo izitha.

“Anginalo ulwazi ngempela ukuthi ngubani lona ongishisele amatekisi ami. Anginazo izitha, abekho nabantu abake bangisabisa noma ngaxabana nabo. Nginamatekisi amathathu, wona lawa ashile. Ngisaphithene ikhanda impela ngalesi sigameko,” kusho yena.

Lo somatekisi kuvele ukuthi waqala ngo-2004 kule mboni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u- Lieutenant Nqobile Gwala, uthe kuvulwe amacala okulimaza impahla.

“Amaphoyisa asePlessislaer aphenya amacala okulimaza impahla kulandela ukushiswa kwamatekisi ekuseni kade emile erenki. Imbangela yomlilo ayikaziwa kodwa uphenyo lusaqhubeka. Akekho osaboshiwe,” kusho uGwala.

Isolezwe lithole ngomthombo ukuthi ukushiswa kwalama tekisi kungenzeka ukuba kuhlangene nokunqaba uhlelo lokufakwa kwamabhasi kahulumeni kwabanye abanikazi bamatekisi KwaDambuza.

“NgoLwesibili bekunomhlangano weForum eTruro Hall, eNorthdale, mayelana nohlelo lokufakwa kwamabhasi eMgungundlovu oluhlongozwa uhulumeni. Abanye osomatekisi baKwaDambuza abahambisani nalolu hlelo nokungenzeka ukuthi bekuhloswe ukuba kushiswe amatekisi abo ukubavala umlomo,” kusho umthombo ongathandanga ukudalulwa.

UMnuz Mandla Mzelemu ophethe ezokuxhumana kuSantaco uthe bayazi ngalesi sigameko kodwa ngokwabo akuhlangene nohlelo lwamabhasi oluhlongozwayo.

Kusolwa ukuthi wayedunwa imoto uSeiphemo

$
0
0

Kusolwa ukuthi umlingisi weGenerations: The Legacy uRapulana Seiphemo wayedunwa imoto ngesikhathi eba sengozini ngeSonto eledlule.

|||

PHALANE MOTALE noKGOPI MABOTJA

KUSOLWA ukuthi umlingisi weGenerations: The Legacy uRapulana Seiphemo wayedunwa imoto ngesikhathi eba sengozini ngeSonto eledlule.

USeiphemo (osesithombeni) waba sengozini yemoto kuN14 ngaseDiepsloot ngeSonto eledlule kwashona abantu abathathu yena walimala kanzima.

Kukholakala ukuthi omunye kwababili ababesemotweni kaSeiphemo washonela endaweni yesigameko. Omunye owasinda uqashwe ngelokhozi ngamaphoyisa kwesinye sezibhedlela zaseGoli. Ezokuphepha ziqinisiwe ngemuva kwezinsolo zokuthi wazama ukweqa.

Kunezinsolo zokuthi ababili ababehamba noSeiphemo ku-Audi A4 yakhe babeyizigebengu. Kuthiwa wayengabazi kanti ngabaseMamelodi.

Ekuqaleni kwesonto eledlule uBrigadier Mashadi Selepe okhulumela amaphoyisa aseGoli ubemanqika ukudalula ukuthi bangobani abagibeli ethi udaba olubucayi.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Tsekiso Mofokeng ukuqinisekisile ukuthi owesilisa owayehamba noSeiphemo owalimala uqashwe ngamaphoyisa.

Uthe amaphoyisa avule amacala amathathu okubulala ngokungenhloso kanti bahlela ukuthatha izitatimende kwabasinda nabayibona ingozi.

UNelia Germishuys uthe amalungu omndeni wakhe ashona engozini nawo kumele anakwe. Umzala wakhe, uJerry Coertze, nomfowabo womyeni wakhe uDonevan van Zyl bashona.

UCoertze owashona ngoLwesibili waba ngowesithathu kwabashona. UVan Zyl nomunye owayehamba noSeiphemo bashona ujuqu.

UGermishuys kwi-email ayithumelele iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iThe Star, uthe: “Sengifunde izindaba eziningi nokuphawula kwabantu, akekho noyedwa onendaba nabantu abashona kule ngozi enyantisa igazi.”

Okhulumela amaphoyisa aseTshwane uSenior Superintendent Isaac Mahamba uthe umbiko ngengozi uzodedelwa uma uphenyo seluphothuliwe.

Uvalo ngezindlu ezingaphephile

$
0
0

Unovalo ngezindlu zawo umphakathi wakwaG eMlazi ukuthi kungenzeka ziwe ngenxa yomonakalo okholwa |ukuthi udalwe ukuzamazama komhlaba emasontweni amathathu adlule.

|||

LUNGI LANGA

UNOVALO ngezindlu zawo umphakathi wakwaG eMlazi ukuthi kungenzeka ziwe ngenxa yomonakalo okholwa ukuthi udalwe ukuzamazama komhlaba emasontweni amathathu adlule.

Imindeni engaphezu kwemithathu ihlalele ovalweni lokuthi kungenzeka iwelwe yizindlu ngenxa yokuhamba kwenhlabathi abakholwa ukuthi kuqale emuva kokuzamazama komhlaba okwenzeke ngoMgqibelo, February 6.

UNksz Nokuthula Dlamini ohlala nezingane zakhe ezimbili eneminyaka emihlanu neneminyaka eyisithupha uthe ukhathazekile ngenxa yesimo abakuso njengoba kubukeka sengathi izindlu abahlala kuzona kungenzeka ziwe noma inini.

UNksz Dlamini uthe abasalali ngokukhululeka futhi sebelindele noma yini ngenxa yovalo abanalo ngokuwa kwezindlu zabo zemixhaso.

“Le nto iqale ngosuku okuzamazame ngalo umhlaba, lesiya sikhashana esincane nje.

“Ngithe uma ngiphuma emnyango ngabona kukhona umnkenke enhlabathini kodwa ngazitshela ukuthi akukho simanga,” kusho uNksz Dlamini.

Uthe kuphele isikhathi esingangesonto sewuvulekile umnkenke abebengawunakile.

Okubathusile ukuthi inhlabathi ibukeka ihlehla ngoba nezindlu zabo sezibonakala zisesigodini.

Ngempelasonto bathuke kakhulu ngesikhathi kuwa ithoyilethi elingaphandle kwendlu.

“Sivuke ithoyilethi seliwile. Kube yinhlanhla nje ukuthi bekungekho muntu phakathi naseduze kwalo ngesikhathi lokhu kwenzeka ngoba yilona esilisebenzisayo,” kusho uNksz Dlamini.

Uthe balithintile ihhovisi lekhansela le ndawo uMnuz Sthenjwa Nyawose elithembise ukufika lizozibonela mathupha isimo.

UNyawose uthe ubesethumele amalungu omkhandlu wakhe aseduze ukuthi ayobheka njengoba yena ebengekho.

“Engikuthandayo ngabo ukuthi uma kunezinkinga bayangazisa njengekhansela ngoba kubuhlungu ukuthi uthuke usuzwa ngendaba ukuthi kunento enjengale eyenzekile kungekho umuntu okwazisile.

“Sengivele ngilubikile udaba lwabo kwabezezindlu ngabachazela ngalo. Ngicelile ukuthi iziphathimandla zawo lo mnyango zize ukuzobheka,” kusho uNyawose.

UNksz Dlamini uthe uNyawose ufike ngoMgqibelo wazibonela umonakalo wase ethembisa ukuthi uzothumela ithimba elivela kwamasipala.

Bekulindeleke ukuthi leli thimba lifike izolo ukuzobheka umonakalo ukuthi ungakanani ukuze kubhekwe ukuthi imindeni ingasizakala kanjani.

Ujika nelanga oxoshwe esikoleni

$
0
0

Kukhalwa ngothishanhloko waseMjindi High, eMamfene eJozini okuthiwa uxoshe umfundi ngoba ethi wamthuka futhi uyedelela ngakho ngeke amvumele ukuba afunde esikoleni sakhe.

|||

MTHOKOZISI MANQELE

eseMamfene

KUKHALWA ngothishanhloko waseMjindi High, eMamfene eJozini okuthiwa uxoshe umfundi ngoba ethi wamthuka futhi uyedelela ngakho ngeke amvumele ukuba afunde esikoleni sakhe.

Kuthiwa ushaya phansi ngonyawo wathi akamfuni, kwala noma abazali bakhe sebemncengela bethi okungenani akamjezise ngokumshaya kunokuthi amxoshe esikoleni kodwa akafuni.

Kuthiwa uMnuz Erick Mbuyazi waxosha uXoli Mabaso (19) maqede wamnyundela ngencwadi yokuthi angathathwa kwezinye izikole ngoba uyahlupha.

Kumanje lo mfundi ujika nelanga ziyamnqaba ukumemukela ezinye izikole, naseMjindi abamfuni.

Kuthintwa uMbuyazi uthe akasamkhumbuli umfundi okuthiwa umxoshile, ucela umzali nomfundi baphuthume esikoleni ezozwisisa udaba lwakhe.

“Anginayo imvume yokuxosha umfundi, nalowo mfundi angisamkhumbuli. Kungenzeka ukuthi usebizwa ngelinye igama. Engikukhumbulayo incwadi engayibhalela abafundi ababefuna incwadi yezincomo zokuthi bebeziphethe kanjani esikoleni. Isikole iGugulesizwe High esasiyifuna, ngabhala iqiniso encwadini ngabo, angikaze ngithi abangemukelwa.

“Uma kodwa umfundi akhetha ukuthatha incwadi yokwesula esikoleni nginelungelo lokumnqaba uma esefuna ukubuya,” kusho uMbuyazi.

Isolezwe lihambele umndeni wakwaMabaso eMamfene lafica uMabaso obefunda u-Grade 10 ehleli ekhaya nabazali bakhe.

Uthe sekuyinyanga yesibili ehleli ekhaya akazi ukuthi uzofundaphi ngoba uthe eyobhalisa Ezibukweni High naseGugulesizwe High bafunda incwadi yokwesula kwakhe eMjindi High bavele bamxosha bathi abamfuni.

“Ingxabano iqale ngokuthi ngifunde iripoti ngabona kubhalwe kuyo ukuthi ngiyadelela ngase ngikhuluma nginabangani bami ngathi labo thisha bayabheda uma bethi ngiyedelela.

Kusho ukuthi wasizwa uthishomkhulu wase esibiza sinabanye abafundi wasixosha, wathi singaphinde sibuye esikoleni. Sithathe izincwadi zokwesula esikoleni sathi siyobhalisa eGugulesizwe, bathi abasifuni ngoba uthe uthishomkhulu uMbuyazi siyedelela singathathwa,” kusho uMabaso ongeze ngokuthi ufuna ukufunda ngoba ufisa ukuba yiphoyisa uma eseqede isikole.

Unina, uNkk Thembi Mabaso ubevele acwebise izinyembezi uma echaza ngokwehlele indodana yakhe.

“Ngihlale ngimncenga uthishomkhulu ngithi akamukele ingane yami kodwa avele anqabe. Sengihlala ngokugula kodwa uthishomkhulu akanazwelo.

“Ngesikhathi ngiye nomntanami akanganginaka ngize kuye wavele wangixosha wathi ngeke aze akhulume udaba lwengane yami ngoba iyadelela akayifuni esikoleni sakhe. Ngizamile ukumncenga ngithi akayishaye kunokuthi iyohlala ekhaya kodwa wangaba nendaba,” kubalisa uNkk Mabaso.

“Zonke izingane zami zifundile angazi le ngane sengizoyenza njani. Ngifisa uMnyango wezeMfundo ungisize ingane yami ibuyele esikoleni ukuze nayo ibe ngumuntu kusasa ngoba uthishomkhulu uMbuyazi uthi akayifuni,”kusho yena. UMqondisi wezeMfundo esifundeni uMkhanyakude, uMnuz Mjozi Motha, uthe siyashaqisa lesi sigameko ngoba silimaza impilo yomfundi. Ucele ukuthunyelelwe izinombolo zocingo zalo mndeni ukuze angenele ngokushesha kuxazululwe lesi simo.

Ukhathazwa wudweshu emanyuvesi

$
0
0

Ungqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande usegxeke ukushiswa kwempahla emanyuvesi akuleli.

|||

MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande usegxeke ukushiswa kwempahla emanyuvesi akuleli njengoba kuqhubeka iziteleka zabafundi nabasebenzi.

UNzimande usho lokhu nje kushiswe ihhovisi lomphathi wasenyuvesi yaseKapa nebhasi kwashiswa nelinye lamabhasi enyuvesi iWits ngeledlule.

Kwamanje kunemibhikisho emanyuvesi okubalwa neDurban University of Technology ne-University of KwaZulu-Natal.

Okhulumela uNzimande, uMnuz Khaye Nkwanyana, uthe uNgqongqoshe ukhathazekile ngokucekelwa kwempahla emanyuvesi.

Uthe bayazi ukuthi ukuteleka kwesekwa nawumthetho sisekelo wezwe kodwa kumele kuhambisane nokuziphatha ngendlela eyiyo.

“Sikhathazekile ngokushiswa nokucekelwa kwempahla kanti siyakugxeka nokuphazanyiswa kokufunda nokufundisa emanyuvesi ahlukene. Sinxusa amanyuvesi ukuthi aqinise umthetho asebenzisane namaphoyisa ukubopha abenza okungafanele,” usho kanje.

Umkhandlu iCouncil for Higher Education ukugxekile ukushiswa kwemphla eKapa naseWits.

Okhulumela i-DA kwezemfundo ePhakeme uSolwazi Belinda Bozzoli uthe imibhikisho iyaqhubeka emanyuvesi ahlukene kodwa uhulumeni awuthi vu kunalokho ulinde indaba yekhomishini ephenya ngemfundo yamahhala.

Uthe lezi ziteleka iningi lazo lenziwa ngukuthi amanyuvesi awaxhasiwe ngendlela wathi nomkhandlu wamanyuvesi usulibeke ngembaba elokuthi lezi zikhungo ziyahlaselwa.

Uqhube wathi selokhu kuvuliwe ngenyanga edlule sekuvalwe inqwaba yamanyuvesi ngenxa yokushoda kwezindawo zokuhlala nokungaxhaswa kwabafundi ngeNational Students’ Financial Aid Scheme.

“Yingakho uNgqongqoshe wezimali uMnuz Pravin Gordhan kumele anike amanyuvesi imali ukuze abaphathi bawo babhekane nezinkinga ezikhona. Asifuni kulindwe ikhomishini ukuthi iphothule umsebenzi wayo ngoba lokhu kungathatha eside isikhathi,” usho kanje.

Kumanyuvesi aseke agajwa yimibhikisho kubalwa iTUT okungase kuphinde kutelekwe namhlanje kuyona ngenxa yokuqashwa kwabasebenzi abayitoho, yiMedunsa, Unisa, Cape Peninsula University of Techology, Tshwane South College, Tshwane North College, Coastal College eThekwini nezinye izikhungo.

I-IFP ifuna kungenelele uMadonsela kolwamabhasi

$
0
0

I-IFP kumasipala weTheku isibhalele u-Advocate Thuli Madonsela imcela ukuba aphenye mayelana nenkontileka yamabhasi omkhandlu nenkampani iTansnat ephethwe ngusomabhizinisi uMnuz Mandla Gcaba.

|||

MLUNGISI GUMEDE

I-IFP kumasipala weTheku isibhalele uMvikeli woMphakathi u-Advocate Thuli Madonsela imcela ukuba aphenye mayelana nenkontileka yamabhasi omkhandlu nenkampani iTansnat ephethwe ngusomabhizinisi uMnuz Mandla Gcaba.

Umholi wekhokhasi ye-IFP kulo mkhandlu uMnuz Mdu Nkosi encwadini ayibhalele u-Adv Madonsela uthe: “Ngibhala le ncwadi ngenxa yokukhathazeka mayelana nokusebenza kwamabhasi omkhandlu weTheku.

“Ngabhalela iMeya yoMkhandlu uMnuz James Nxumalo incwadi mayelana nodaba lwamabhasi namanje olungakaxazululwa, ngicela ukuthi abize umhlangano lapho kuzoba khona nomnikazi wenkampani esingethe ukusebenza kwamabhasi i-Tansnat kaGcaba ngoJanuwari 14, nonyaka kodwa lowo mhlangano awuzange ubizwe. Okwenzeka iMeya yabiza umhlangano wamakhansela uGcaba wangabakhona,” usho kanje.

UNkosi uthe emhlanganweni wamakhansela omkhandlu kwavunyelwana ngokuthi kumele kuqokwe ithimba elizoxoxisana neTansnat ngenhloso yokuthola isixazululo.

“Ngaphezu kwalokhu ngiphinde ngabhalela uNgqongqoshe wezokuThutha nezokuPhepha KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu naye ngicela ukuba angenelele. KwakunguFebhuwari 2 ngiyibhala kodwa kuze kube yimanje angikaze ngithole mpendulo ehhovisi likaMchunu ngisho nokusho ukuthi layithola yini incwadi,” usho kanje.

UNkosi ukhala ngokuthi umkhandlu wadayisa amabhasi ngo-R70 million kodwa uma sekufanele uwathenge abuyele kuwona wachitha uR405 million okuyimali ephindwe kasithupha kunalena ayebize yona

“Sifuna ukwazi ukuthi kwabhekwa nini ukuthi wona asebiza malini nokuthi ngabe le mali asebiza yona kungenzeka ukuba yanyuswa kakhulu yini, sifuna ukwazi futhi ukuthi ngabe iTansnat iyaluthola yini uxhaso emkhandlwini noma cha, uma kuwukuthi iTansnat ayilutholi uxhaso ngabe lokhu akusiyo yini imbangela edala ukuthi kube nezinkinga ekusebenzeni kwamabhasi,” usho kanje.

Kunokungaboni ngaso linye phakathi komkhandlu weTheku neTansnat njengoba lezi zinhlaka zombili zisolana zodwa ngezinkinga ezikhona.

Umkhandlu uthi iTansnat iwukweleta izigidi zemali. Ngakolunye uhlangothi nabakwaTansnat basola umkhandlu ngokuthi abakwazi ukuqhuba umsebenzi ngendlela ngoba umasipala kunemali eningi obakweleta yona.

Namuhla kulindeleke ukuthi kube nesithangami nabezindaba phakathi kuka-Tasnat nomasipala mayelana ndaba lwamabhasi.

Ukhalele i-DA ngokulinda udwadwa

$
0
0

Oweesifazane osekhulile wasemjondolo yaseCato Crest eThekwini ubalisele abaholi be-DA ngesikhathi bemvakashele ekhaya lakhe.

|||

MLUNGISI GUMEDE

OWESIFAZANE osekhulile wasemjondolo yaseCato Crest eThekwini ubalisele abaholi be-DA ngesikhathi bemvakashele ekhaya lakhe izolo wabacela ukuthi bamsize bamzamele okokufihla ikhanda, angaze ashone enganamuzi.

Abaholi be-DA izolo bebephume ngezinkani behambela abantu abahluphekayo eCato Crest ngenhloso yokuzwa izikhalo zabo ngaphansi komkhankaso wabo njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya.

Baqala balalela izimfuno zomphakathi epaki yasendaweni ngaphambi kokuthi bahambele imizi embalwa kubalwa nokaNksz Mavis Ndlovu (81) ohlala nabazukulu bakhe abayisikhombisa emkhukhwini owakhiwe ngamapulangwe.

UNksz Ndlovu utshele izikhulu ze-DA ukuthi sekuphele iminyaka abhalisela indlu yomxhaso kodwa ulokhu alinda umnyama ongenafu.

“Iyodwa into engiyifunayo, yindlu kuphela. Sengingaze ngife ngingenayo indlu?” kusho uNksz Ndlovu oveze nokuthi uselilahlile ithemba lokuthi uhulumeni we-ANC uyoke umakhele indlu.

Uthe akekho umuntu ongamazi endaweni ukuthi uyahlupheka.

“Kuyacaca ukuthi bayajabula uma ngihleli kule ndlu engibona emnyango uma ngingaphakathi kuyo. Ngifuna umuntu ozongisiza angakhele indlu. Ngisho noma uhlupheka kodwa uma unendlu akunakeki kakhulu,” usho kanje.

UNksz Ndlovu uthe kusukela ngokhetho lokuqala lwentando yeningi uhlale evota kodwa alukho ushintsho empilweni yakhe.

Umholi we-DA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango uthe bazojuba ikhansela labo elibamele endaweni ukuba liyilandela indaba yendlu kaNksz Ndlovu. UMncwango unxuse imiphakathi ukuba isebenzise ilungelo layo lentando yeningi uma ivota, ikhiphe uhulumeni we-ANC emandleni.

“Kuyacaca ukuthi abantu abafundisekile mayelana namalungelo abo. Abantu bazi ukuthi inhlangano okumele bayivotele yi-ANC noma ingabenzeli lutho behlupheka ikhona,” usho kanje.

Uthe nabenhlangano ebhekele ukhetho kuleli i-IEC kumele ibafundise abantu mayelana namalungelo abo, bazi ukuthi ivoti labo libalulukile.

“Sithi umphakathi awuvotela i-DA ubone ukuthi ngeke iyishintshe yini impilo yabo ngoba ezindaweni esiphethe kuzona sesikhombisile ukuthi sizibophezele ekuguquleni impilo yabantu,” esho.


Isexwayiso ezinduneni ngokhetho

$
0
0

Usihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal, inkosi Phathisizwe Chiliza, uthe ayikho inkosi noma induna enelungelo lokuphazamisa ukhetho noma inxenxe abantu ukuthi bangavoti ngoba lokho kuwukuphula umthetho.

|||

Mhlengi Shangase

EseNkandla

USIHLALO weNdlu yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal, inkosi Phathisizwe Chiliza, uthe ayikho inkosi noma induna enelungelo lokuphazamisa ukhetho noma inxenxe abantu ukuthi bangavoti ngoba lokho kuwukuphula umthetho.

Inkosi ikusho lokhu kugcotshwa inkosi yaseMaphuthu eNkandla. Ithe abantu abenza lokhu kumele bathathelwe izinyathelo zomthetho ngoba yinto engavumelekile.

Ugqugquzele abantu ukuthi baphume bayovota ukuze bazwakalise ilaka labo ngomuntu abafuna abaphathe. Ubephawula emva kokushiwo yizinduna zalesi sifundazwe ezisabisa ngokuphazamisa ukhetho lohulumeni basekhaya.

Izinduna azeneme ngokungawutholi umhlomulo ezawuthenjiswa nguMengameli Jacob Zuma. UZuma wasayina ukuthi izinduna zizothola u-R84 000 ngonyaka.

Okwamanje izinduna zithola u-R1 300 ngenyanga kulesi sifundazwe kanti ukushoda kwemali iyona mbangela eyenza ukuthi okwamanje zinganyuselwa lo mhlomulo.

“Umuntu osabisa noma ozophazamisa ukhetho kumele athathelwe izinyathelo ngoba akekho onelungelo lokwenza lokhu. Akusizi ukuthi izinduna zithi zizophazamisa ngoba zingayitholi le mali. Noma zingakwenza lokhu akusho ukuthi zizoyithola ngokushesha. Uma ufuna ukulungisa inkinga akumele wenze okungalungile,” kusho uChiliza.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Nomusa Dube-Ncube, unxuse abantu abahlala emakhaya ukuthi baphume bayobhalisela ukuvota ngoMashi 5 no-6 ngenyanga ezayo.

Uthe bayalusebenza udaba lwezikhalo zezinduna.

“Abantu abaphume ngobuningi bayobhalisela ukuvota. Abasemakhaya abaye nabo bayobhalisa. Kuyilungelo lawo wonke umuntu ukuthi avote,” usho kanje.

ISilo samaBandla sinxuse osopolitiki ukuthi njengoba kuzovotwa osopolitiki abancintisane kodwa hhayi ngemiphefumulo yabantu.

ISilo sithe kuzoba ukhethi ukhethi kosopolitiki bebanga intombi (umvoti) njengoba bezobe beshela abavoti.

“Akubangwe kodwa hhayi ngemiphefumulo yabantu. Abantu abaphume bayobhalisela ukuvota njengoba ukhetho seluseduzane nje,” kusho iSilo.

Ulaka lweSilo kugcotshwa inkosi

$
0
0

Isilo samaBandla sesikhuze umhlola wokukhulelwa kwabafundi ezikoleni sathi akuyona ifeshini ukukhulelwa kodwa amanyala.

|||

Mhlengi Shangase

I SILO samaBandla sesikhuze umhlola wokukhulelwa kwabafundi ezikoleni sathi akuyona ifeshini ukukhulelwa kodwa amanyala. Sithe uma umfundi efuna ukukhulelwa akaphume esikoleni ashiye izingane ezizimisele ngokufunda.

“Amanyala ukuthi sekuyifeshini ukukhulelwa kwezingane zisafunda isikole. Uma ingane isifuna ukuba umfazi, izale, ayishiye esikoleni iyoba umfazi ekhaya ilale ke nabafana hhayi esikoleni,” kusho iSilo. Sithe sihlale sizitshela izingane ukuthi azixoshe uSathane ngoba izitho zazo zangasese ziwumoya ongcwele. ISilo sikusho lokhu nje KwaZulu-Natal kwakhulelwa abafundi abangu-18 000 ngo-2014.

Lesi sifundazwe sizihola phambili ngezibalo zabakhulelwayo. Sikusho lokhu ngempelasonto sigcoba inkosi yase-Maphuthu, uTotal Mbhele eNkandla. Sinxuse ukuthi kuvuselelwe ubudlelwano phakathi kwezihlobo nomakhelwane kubuyiswane. Sithe ngesonto elizayo siyovula isiShayamthetho saKwaZulu-Natal kanti ezinye izinto esizozishumayeza yindaba yokubuyisana kwamaqembu ezepolitiki.

“Ngizoyikhuluma eyokubuyisana kosopolitiki nokuthi bashumayele leli vangeli. Kumele nemindeni ibuyisane njengoba kukhona engangenelani. Yekani ukuthakathana ngoba ave nithakathana bo. Nawe ophethe izikhwama ezimbi zokuthakatha sengathi zingashintsha zidle wena. Ngizomemezela nosuku lokubuyisana kwemindeni uma sengivula isiShayamthetho,” kusho uNgangezwe. Siphawule nangemvula ene esifundazweni sathi sethemba ukuthi iyafinyelela ezindaweni edingeka kuzona ngenxa yesomiso esidlangile esifundazweni. UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe luyaqhubeka uhlelo lokuhlanza amanzi olwandle ukuze asetshenziswe. Uthe kunohlelo lokuthi amanzi ageleza emifuleni angayi wonke olwandle.

“La manzi sizowagcina emfuleni ukuze siwasebenzise angayi wonke olwandle. Ngale ndlela sibona ukuthi sizokwazi ukulwa nenkinga yesomiso esibhekene nayo siyisifundazwe,” usho kanje.

Ubezomela isikole kweyamanzi

$
0
0

Ubezomela isikole iCwebezela Primary eMlazi engqungqutheleni yezokongiwa kwamanzi ngenyanga ezayo uMpendulo Mbanjwa oshone nogogo wakhe ngesikhathi beshayiswa yitekisi.

|||

MHLENGI SHANGASE

UBEZOMELA isikole iCwebezela Primary eMlazi engqungqutheleni yezokongiwa kwamanzi ngenyanga ezayo uMpendulo Mbanjwa (10) oshone nogogo wakhe uNksz Nelisiwe Mbanjwa (64) ngesikhathi beshayiswa yitekisi ngaphandle kwesiteshi sesitimela iReunion eSiphingo ngeledlule.

UMpendulo ukubafundi abane abebekhethiwe ukuyothamela le ngqungquthela ehlelwe ngumasipala weTheku.

Uthishanhloko uMnuz Bukhosibakhe Mzolo uthe bagqemeke udume lwengozi ngokudlula kukaMpendulo.

Uthe nasesikoleni abefunda kusona iKhuthala bakhale kakhulu ngokushona kwakhe njengoba ebewusizo olukhulu.

“Ubekhethiwe ukuyosimela siyiCwebezela kule ngqungquthela okwafika abakwamasipala bezofuna abafundi abazomela isikole. Ngeke sisivale isikhathi sakhe ukumhlonipha sekuzohamba abafundi abathathu,” usho kanje.

Ukusho lokhu izolo enkonzweni yomngcwabo kaMpendulo nekaNksz Mbanjwa ebisezinkundleni zemidlalo kwa-L eMlazi. Uthe umazi isikhathi esifishane lo mfundi wathi ubewusizo nasekilasini lakhe.

“Uthisha wakhe ungitshele ukuthi kuphalaze ingane zagxuma zonke zahamba yena wasala wathi uzokorobha. Ubewumuntu onjalo ke nakothisha bakhe ubewusizo,” kusho uMzolo.

Umngani kaMpendulo, uSambulo Mbatha, uthe bebexabana babuye baxolelane nomngani wakhe kodwa ubengumuntu olungile. Uthe ubefika ezobalanda efuna bayodlala isikole yena abe nguthishanhloko.

“Ubesiboleka nemali singabangani bakhe sithi uma sesifuna ukuyibuyisa ayinqabe. Besidlala isikole njalo afune ukuba uthishanhloko,” usho kanje.

Okhulumela umndeni, uNkk Fikisiwe Ngcobo, uthe bakhuliswa nguNksz Mbanjwa ngokudayisa amagwinya okuwumsebenzi adlule esawenza namanje. Uthe ubebapha iziyalo efana nonina kuyena wathi balahlekelwe kakhulu ngokudlula kwakhe emhlabeni.

“Ngaphambi kokuba badlule ngike ngaba nephupho lapho bekuculwa ngakhathazeka ngaze ngambikela,” usho kanje.

Umzukulu kaNksz Mbanjwa, uHappy Mbanjwa, uthe belungafakwa kugogo wakhe obehlale efuna izinto eziqondile futhi kuhlanzekile nasegcekeni. Ubonge kakhulu usizo abalutholile wabonga nesitolo iCambridge esibalethele ukudla obekugcwele itekisi.

“Kufike abasebenzi bakwaCambridge bezosikhalisa njengoba uWa (Mpendulo) ubethenga khona njalo ekuseni,” usho kanje.

Kule ngozi kwashona nabafundi ababili baseComtech High uThelile noPhumelele Shezi nabo abafihlwe izolo ePort Shepstone. Umshayeli wetekisi waboshwa kanti itekisi yamphunyuka yabashayisa bashona.

Kufe ababili izulu lilelesa eKZN

$
0
0

Izulu seliphinde lalelesa KwaZulu-Natal esiFundeni saseMkhanyakude kwashona abafana ababili baseZamazama.

|||

MTHOKOZISI MANQELE

IZULU seliphinde lalelesa KwaZulu-Natal esiFundeni saseMkhanyakude kwashona abafana ababili baseZamazama, KwaMhlabuyalingana, ngoMgqibelo ntamabama.

Lokhu sekwenze senyukela kwabayishumi nambili isibalo sabantu asebebulawe umphezulu izinsuku zilandelana esifundazweni.

Izulu, ebelidle ngombani oyingozi, kuthiwa lihlasele emndenini wakwaNgobe kwashona uSbusiso Mthembu (18) obefunda uGrade 12 kanye noSandile Ngobe obefunda uGrade 9.

Bobabili laba bebefunda esikoleni esisodwa saKwaMhlabuyalingana, eSinothando High School. Ngokusho kokhulumela imindeni yabashonelwe, uMnuz Reggie Ngobe, uSbusiso obengowakwamakhelwane, ubevakashile uSandile ubeyindodana yabo.

“Le nto yenzeke ngokukhulu ukuphazima kweso ngoba sonke besisekhaya singanakile.

“Laba bebezihlalele endlini. Izulu lishaye bafa ujuqu kodwa okusixakayo wukuthi indlu elibashayele kuyo ayikaze ishe. Ngesikhathi unina kaSandile ememeza ebona izingane zingqashangqasha bese kungekho ebesingabasiza ngakho ngoba bavele baphelela ezandleni,” kubalisa uNgobe.

IMeya yakwaMhlabuyalingana, uMnuz Solo Mkhombo, induna nekhansela bake bathi ukufakana amehlo nemindeni yomibili.

Bafike babathembisa ukubasiza ngokubangcwabisa ngenxa yokuthi imindeni ayinalutho, ngokusho kukaNgobe.

Kwesinye isigameko esingahlobene nalesi, isishingishane sihlasele eNdumo kwaphephuka uphahla ezitolo zakhona nasemizini kodwa ayibanga bikho imibiko yokulimala kwabantu.

Izulu selithole indawo yokudlalela esifundazweni saKwaZulu-Natal njengoba eMzimkhulu libulale abathathu kwalimala inqwaba. Sinyukele ku-12 isibalo sabantu abashone selokhu kuqale izimvula ezinamandla ezihambisana nesiphepho kulesi sifundazwe. IHarding yiyona ndawo ekhahlamezeke kakhulu njengoba kuphephuke nezikole. UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uNkk Nomusa Dube-Ncube uthe lisazoqhubeka liyidlive ikakhulu njengoba kuza izimvula ngenyanga ezayo.

Uthe bewuhulumeni bazoyisiza imindeni edinga ukungcwatshelwa njengoba lezi zinhlekelele zifika abantu bengalindele.

Unxuse abantu ukuthi baqaphele uma liduma ngoba linobungozi.

I-NFP ichitha eyokuhlukumeza abesimame

$
0
0

UMnuz Maliyakhe Shelembe uthe labo abathi abesifazane baleli qembu bayahlukunyezwa ngokunganikwa izikhundla bahlose ukudunga iqembu.

|||

MTHOKOZISI MANQELE

Ebika eseHlazane

USIHLALO kazwelonke weNFP, uMnuz Maliyakhe Shelembe, uthe labo abathi abesifazane baleli qembu bayahlukunyezwa ngokunganikwa izikhundla bahlose ukudunga iqembu.

Uthe laba abasho lokhu kuzomele bafunde umthethosisekelo weNFP, yikhona bezoba nolwazi ngoba abakushoyo akulona iqiniso.

UShelembe usho kanje ethula inkulumo ngoMgqibelo, eHlazane, KwaMhlabuyalingana, emcimbini waleli qembu wokwemukelwa kwamalungu angu-450 ahlubuke ku-ANC naku-IFP, aqhamuka kuwo wonke amawadi KwaMhlabuyalingana.

“Kunabantu abangaphakathi kuNFP asebeqale umkhankaso wokugxibha iqembu lethu emaphephandabeni, bethi sihlupha abesifazane, asibaniki izikhundla. Kungamanga aluhlaza lawo. Izikhundla sizaba ngokulandela umthethosisekelo othi masibhekelele zonke izinhlaka zeqembu. Uma senza uhlu lwabantu abazothatha izikhundla komasipala, siqala ngabesifazane phezulu, kuze abamele intsha, kuze abamhlophe nabomdabu baseNdiya nabo siyababhekelela. Kodwa kufanele siqaphele ukuthi kukhona abantu abangangeni ndawo, abangekho entsheni asebebadala bona kufanele sibalahle kuphi?” kubuza uShelembe.

“Kuliphutha ukuthi abesifazane kabacatshangelwa ngoba baningi abasezikhundleni, uKaMagwaza-Msibi ubeyiMeya eZululand, Nkk Catherine Gumede ubeyiMeya eBig 5, uNkk Roy unguSekela-Meya eMtuba bese kuthi kuMasipala waseMthonjaneni sinoNkk Gugu Khumalo naye obenesikhundla, baningi naseThekwini nakwabanye omasipala,” kusho uShelembe.

Kulo mcimbi kubuye kwaba nomzuzu wokuthula kuhlonishwa uMxhumanisi weNFP, uPhositshe Mbatha, odutshulwe wabulawa ngabantu abangaziwa ngoLwesihlanu ebusuku eBasamlilo, oLundi. UShelembe uthe bazobhalela uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-General Mmamonnye Ngobeni, noNgqongqoshe wezokuPhepha esifundazweni, uMnuz Willies Mchunu, babacele ukuba basungule ithimba lamaphoyisa ayisipesheli azophenya aphinde abophe izigilamkhuba.

Uthe uMbatha ubezimisele emsebenzini weqembu, watshela abajoyine leli qembu ukuthi bangabi ngamavila.

“Asibafuni oNomtopoyi izinto ezehluleka nokuzenwaya. Kulaba abafuna ukuhlubuka iNFP bese bejoyina i-IFP ngithi kubo badlala ngesikhathi ngoba yiqembu elingeke libasize ngalutho, lahluleka ukuthuthukisa abantu lisemandleni manje yini eniyifuna kubo,” usho kanje wananelwa yihlombe. USihlalo weNFP KwaMhlabuyalingana, uMnuz Justice Ntsele, uthe kubajabulisile ukujoyinwa ngabantu abaningi kanjena ngoba kuyizinkomba zokuthi abantu sebekhathele yizethembiso zamanga ezenziwa izimbangi zabo.

Lo mcimbi ubuthanyelwe wubuholi obuphezulu beNFP kuhlanganiswa noNobhala Jikelele, uSolwazi Nhlanhla Khubisa, noSekela-Sihlalo uMnuz Sicelo Mabika, abafike batshela amalungu eNFP ukuthi yibo abenze uMengameli uZuma ukuba akhokhe imali eyasebenza ngokungafanele eNkandla.

‘Sisuka kude noVan Rooyen’

$
0
0

UMnuz David van Rooyen ubekulungele kahle kakhulu ukuba uNgqongqoshe wezeziMali eNingizimu Afrika. Lokhu kushiwo nguMengameli Jacob Zuma.

|||

intatheli yesolezwe

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz David van Rooyen, ubekulungele kahle kakhulu ukuba uNgqongqoshe wezeziMali eNingizimu Afrika. Lokhu kushiwo nguMengameli Jacob Zuma izolo.

“Le nto iqubule enkulu indida nabantu bacabanga ukuthi uZuma uvele walala wavuka ngosuku olulodwa wase ethatha isinqumo. Abanye bathe ngangitshelwe ngabathile ukuba ngiqoke uVan Rooyen njengoNgqongqoshe wezeziMali ngoDisemba,” kusho uZuma etshela izithunywa ebezihambele umhlangano wokwethulwa kwethimba labezindaba elizobika ngokwenzeka ehhovisi lakhe iPresidential Press Corps ePitoli.

Kuzokhumbuleka ukuthi uZuma wabuyisela uMnuz Pravin Gordhan kwesikaNgqongqoshe wezeziMali, ekhipha uVan Rooyen esaphathe izinsuku ezine nje vo.

“Niyazi ukuthi uVan Rooyen uwuzakwethu esiyibanbe naye kwezepolitiki, (kuMkhonto weSizwe), ngaleyo ndlela sisuka kude. Uqeqeshwe kabanzi kwezezimali nakwezomnotho. Uqeqeshwe kakhulu ngale ndlela yokuthi udlula bonke abanye oNgqongqoshe esengike ngabaqoka endabeni ethinta ezezimali. Cabanga nje ukuba bengike ngaqoka omunye nje umuntu ozilusela izinkomo le eNkandla ukuba azoba ungqongqoshe wezeziMali?,” kuqhuba uZuma.

Ubuye wancokola ngokuthi uma bengabheja akekho ongawina leyo nkulumo-mpikiswano.

NgoDisemba nyakenye uVan Rooyen wasuswa esikhundleni ekade eqokwe nguZuma wase enikwa esokwengamela ezokubusa ngokubambisana. Esikhundleni sikhe kwafakwa uGordhan owake waba nguNgqongqoshe wezeziMali phakathi kuka 2009 no-2014. Emuva kuka Gordhan kwabe sekungenauMnuz Nhlanhla Nene owakhishwa kungazelelwe kulesi sikhundla nguZuma ngoDisemba isikhala sakhe savalwa uVan Rooyen.

Ukususwa kukaNenekwethusa abaningi, namandla erandi ehla ngendlela eyisimanga.

UVan Rooyen unolwazi kwezezimali kodwa wayewuSotswebhu wekomiti elibheka ukusebenza kwezimali ePhalamende aphinde aphathe esinye isikhundla sokuba uSotswebhu weqoqo elibheka ukuthuthukisa umnotho i-Economic Transformation Cluster.

Izolo uZuma utshele izinhloko ehhovisi likaMengameli, emhlanganweni obekukhona kuwo nabezindaba ezindlini zombuso ukuthi inkulumo yebhajethi kaGordhan azoyethula kusasa ePhalamende ifike ngesikhathi esibi ngakwezomnotho. Khonamanjalo kube nePresidential Press Corps Forum, ebiholwa ngoyiChief Operations Officer ehhovisi likaMengameli, uLakela Kaunda. UKaunda utshele abezindaba ukuthi babona kunesidingo sokuthi njalo kube nokuxhumana nabezindaba.

“Umbono wethu wukuthi kunesidingo sokuthi sisebenze ngokubambisana. Yize nizenzela okwenu ukuhlaziya, okungenani amaqiniso kuyadingeka abekwe enjengoba enjalo ngaleyo ndlela sicabange ukuthi kumele singenelele,” kuphetha uMengameli Zuma kwabezindaba.

Iyabangwa eyobukhansela kwabe-ANC

$
0
0

Ushisa phansi umbango wezikhundla zobukhansela ku-ANC.

|||

MLUNGISI GUMEDE

USHISA phansi umbango wezikhundla zobukhansela ku-ANC njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya emva kokuthi amalungu ayo ezindaweni ezehlukene eseqale umkhuba wokuhlaselana aphinde ashiselane nemizi.

Esehlakalweni esisanda kwenzeka ilungu le-ANC Kwa-K eMlazi lishiselwe indlu yalo yomxhaso ngeSonto ebusuku. Kusolwa, amanye amaqabane.

Umuzi kaMnuz Zakhele Mathenjwa (31) ucekelwe phansi ngosuku obelukade kunomhlangano ophazamisekile we-ward lapho bekuzophakanyiswa khona ozomela inhlangano okhethweni lwamakhansela.

Bese kungokwesibili kushiswa umuzi ku-ward 78 eMlazi esikhathini esingaphansi kwenyanga.

Emasontweni amathathu edlule kwashiswa umuzi wakwaNtshangase. Nakulokhu kusolwa umbango wesikhundla sobukhansela endaweni.

Engxoxweni neSolezwe izolo, uMathenjwa uthe ubelele ngesikhathi evuswa wukuqhuma endlini.

UMathenjwa uthe akhona amaqabane awasolayo ngokushiswa komuzi wakhe.

“Emini ngaphambi kokuthi kushiswe indlu yami kufike ekhaya iphini likaSihlalo we-ANCYL kwi-ward wathi mina ngamshaya ngetshe ngesikhathi kunomhlangano wegatsha emasontweni amathathu edlule,” kusho uMathenjwa.

Uthe lo mholi ubehlome ngommese ngesikhathi ezokhuluma naye.

UMathenjwa uthe uzwa kuthiwa kusolwa yena ngokushiswa komuzi wakwaNtshangase.

Kwesinye isehlakalo esenzeke ngeSonto e-ward 10 eGroutville, kuthiwa umhlangano wegatsha lapho bekumele kukhethwe khona ozomela i-ANC kwesobukhansela kuphoqelekile ukuthi umiswe ngemuva kokugasela kwamalungu enhlangano ehlome ngezagila nemikhono namapiki afike avulela isibhaxu kwamanye amaqabane kwalimala abantu abathathu abangeniswe esibhedlela babuye bakhululwa.

UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Super Zuma, uyichithile imibiko ethi akuhambi kahle ezindaweni eziningi uma kunemihlangano wokuphakamisa laba abazomela iqembu kwesobukhansela.

UZuma uthe angaphezu kuka-700, ama-ward asehlalile ngempumelelo, kulawo angaphezu kuka-800 esifundazwe sonke.

“Zikhona izindawo ezinezinkinga kodwa aziziningi,” usho kanje.

UZuma uthe ngeke baze bananaze ukuwathathela izinyathelo amalungu abo okuzotholakala ukuthi asephula umgomo wenhlangano ngezinto azenzayo.


Basabisa ngenkantolo kolukaMalombo

$
0
0

Sebefuna ludluliselwe eNkantolo eNkulu yaseThekwini udaba lukathishomkhulu waseMvaba High.

|||

S’MANGELE ZUMA

SEBEFUNA ludluliselwe eNkantolo eNkulu yaseThekwini udaba lukathishomkhulu waseMvaba High, eMatikwe uMnuz Malombo Sibiya omiswe emsebenzini ngenyanga edlule ngemuva kokuthi kuputshuke i-video exabana nomunye uthisha esikoleni.

Abazibiza ngesigungu esilawula isikole babize umhlangano wabazali ophuthumayo izolo ekuseni, ukuzobatshela ngesinqumo. Abazali abebekulo mhlangano, obusehholo lomphakathi, balivumile iqhinga abalithembile ukubuyisa uSibiya esikoleni.

Usekela sihlalo wesigungu, uNksz Gcina Makhoba, uthe baqoke ukuthola abameli abazolifaka enkantolo udaba ngoba uMnyango wezeMfundo wehlulekile ukulusingatha.

“Kade sibika eMnyangweni ukuthi kaseneme ngokumiswa kukathishomkhulu. NgoLwesihlanu abafundi namalungu omphakathi bashaye babulala owesilisa owayekade ezama ukuphuca abafundi amaselula abo ngaphandle kwesikole. Izingane zifika ngemuva kwesikhathi, ezinye uzibona zehla zenyuka nomgwaqo ngesikhathi sesikole. Isikole sesiphenduke kwamachanca,” kusho uNksz Makhoba.

Uthe abameli babo bebephethe amapheshana okusayinisa abazali ukuze bezokwazi ukufaka isicelo sokuthi udaba luye enkantolo.

UMnuz Mthokozisi Magwaza, ongusihlalo wesigungu esengamele udaba lokubuyisa uSibiya, uthe bafuna kuxoshwe nothisha abangu-19 okusolwa ukuthi bawobhongoza bokumiswa kukaSibiya.

“Labo thisha asisabadingi ngoba abathembekile. Basusa umsindo ngonyaka odlule ngoSepthemba balaxaza izingane zethu kubhalwa izivivinyo bethi sebekhathele uthishomkhulu obaphethe ngesandla sensimbi. Sifuna abuye uSibiya ukuze izinto zizobuyela esimweni. Izingane zethu bezingeke zishove amakhadi zibheme nensangu emakilasini ukube usekhona. Izingane zethu lezi ngeke siziyekelele, sizimisele ngokuyilwela imfundo yazo,” kusho uMagwaza.

Uthe abafuni nokumbona umhloli uMnuz Sithembiso Lushozi owayejutshwe ukwengamela udaba lwesikole. Bathi washiya exovile.

Ngeledlule laba bazali batheleke emahhovisi eSolezwe betshethe ibhokisi lomngcwabo elibhalwe igama likaLushozi, bezwakalisa ukungenami ngendlela alusingatha ngayo udaba lukaSibiya.

Omunye wabazali uNksz Mbalenhle Shabalala (42) uthe banovalo ngokuphepha kwezingane zabo esikoleni ngoba abangani bomlisa obulelwe bathe bafuna ukuziphindiselela.

“Sicela uhulumeni alusukumele lolu daba, ukuze izingane zethu zivikeleke. Asifuni liphinde lehle izinga lokuphasa kukaMatric. Sifuna uSibiya abuye esikoleni bethanda bengathandi labo thisha beSadtu abamzondela ukuthi uyiNatu,” kusho uNksz Shabalala.

Kushaye isikhathi sokushicilela uMnyango wezeMfundo ungatholakalanga ukuphawula.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseNanda aphenya icala lokubulala ngemuva kokuthi umlisa ona-20 eshaywe wabulawa ngabalisa abangaziwa.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMnuz Muzi Mahlambi uthe bewuMnyango banxusa abazali ukuthi babanike ithuba. “Kubi ukuthi siphoqeleke ukuthi simise uthishomkhulu nothisha ngenxa yokuthi bavumele ukulawulwa izinhliziyo. Sihlezi sibanxusa othisha ukuthi balandele imigomo yokuziphatha. Buka manje lezi zingane sezithinteka ekufeni komuntu ngaphandle kwesikole,” kusho uMahlambi.

Umphakathiulothise umuzi wekhansela

$
0
0

Liphume ngesamagundane emzini walo ikhansela laseShakashead, KwaDukuza, ngesikhathi umphakathi obuthukuthele ushisa umuzi nemoto yalo.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

LIPHUME ngesamagundane emzini walo ikhansela laseShakashead, KwaDukuza, ngesikhathi umphakathi obuthukuthele ushisa umuzi nemoto yalo, ukhala ngokuthi seliphathe isikhathi eside kepha intuthuko do.

Kumanje uMnuz Jetro Banda kuvele ukuthi usekubhaceni nomndeni wakhe kulandela ukushushunjiswa ngamaphoyisa kamasipala waKwaDukuza, ambalekise kule ndawo.

UBanda usebe yikhansela lika-ward 4 kusukela ngo-1996.

Kusukela ngo-3 ekuseni izolo, umphakathi uvale umgwaqo ushisa amathayi, wabeka nezinguzunga zamatshe.

Kuthe umphakathi usuvutha, amanye amalungu omphakathi anikela emzini waleli khansela afike ashisa indlu yalo yomxhaso nemoto i-Audi A3.

Isolezwe lifice amalungu omphakathi ehlangene enkundleni yezemidlalo yakule ndawo, evutha engabaselwe, ethi awalifuni leli khansela.

UMnuz Erick Vansine, oyilungu lomphakathi, uthe sekwanele ngaleli khansela abathi lehlulwa wumsebenzi.

“Inkinga iyodwa kule ndawo, ikhansela asilifuni. Namaphoyisa aseMhlali acheme naye. Akahambe ngoba akawenzi ngendlela umsebenzi,” kuso uVansine, ekhuluma nomphakathi.

Omunye, ongazishongo igama, uthe uBanda akukho akwenzela abantu abasha kule ndawo.

“Inkinga yethu enkulu wukuthi leli khansela seliphathe iminyaka engaphezu kuka-20 kodwa asiwuboni umehluko. Yini nje ayenzele umphakathi, yini ayenzele abantu abasha? Kule ndawo kukhalwa ngokuthi izidakamizwa zixakile kodwa akukho nenkundla yezemidlalo esesimeni. Akukho swimming pool ukuze abantu abasha bezokwazi ukuhlala khona kunokuthi babe semathaveni,” kusho yena ekhuluma nomphakathi.

Kulo mbhikisho bekugcwele kakhulu intsha, ebifake izikibha ze-ANC.

Iningi lithe lifuna ikhansela le-ANC kodwa kungabi uBanda.

UMnuz Sduduzo Gumede, othe uvela ku-ANC, uthwale kanzima kwaze kwaphoqeleka ukuba awushiye umphakathi njengoba kade ethi uzowukhuza.

Kuthe ekhuluma abantu, bamhhewula bemtshela ukuthi akukho azobatshela khona kodwa bafuna uSihlalo we-ANC kwiGreater KwaDukuza ophinde abuye iMeya uMnuz Ricardo Mthembu.

Kuthintwa ikhansela izolo lithe liphume kunzima kule ndawo lihlaselwa, futhi aliphephile njengoba libhacile nomndeni walo.

“Ngishiselwe umuzi wami nemoto yami ngabantu abangakhela uzungu. Akusiwo umphakathi lona kodwa ngabathize abafuna ukungiketula. Ngiyazi ukuthi iSACP namanye amalungu e-EFF afuna ukuba ngiphume esikhundleni. Kukhalwa ngokuthi ngihlale isikhathi eside esikhundleni, abakhali ngentuthuko ngoba bayazi ukuthi ngisebenzile. Ngiphume kunzima endlini kulandela ukuthola ucingo ngokuthi ngizohlaselwa. Ngishayele ucingo amaphoyisa aseMhlali angafika ngaze ngathinta akaMasipala okuyiwona angilandile nomndeni wami. Kumanje asiphephile nomndeni wami, asinayo nendawo yokuhlala,” kusho uBanda.

UMthembu usigxekile isenzo somphakathi sokushisa umuzi nemoto kaBanda.

“Asihambisani nhlobo nokwenziwe wumphakathi. Sisizwile isikhalo ngekhansela abathi seliphathe isikhathi eside. Siwu-ANC siyabalalela abantu. Besihlele ukuba nomhlangano ngoMgqibelo ukuze bezokhetha ikhansela abalifunayo. Okwamanje asikabi nalo ikhansela elizongenela ukhetho. I-ANC isaqoke umuntu, ngakho sizoya emphakathini bese ukhetha owabo. Izinhlaka ze-ANC zokukhetha ikhansela ziqondile nje ngeke kube khona ukwenzelela. Abantu kumele behlise umoya. Siyabona ukuthi bayayithanda i-ANC nathi sizokwenza ngendlela ngoba siyiqembu lentando yeningi,” kusho uMthembu.

Isolezwe lithole ukuthi emhlanganweni wegatsha we-ANC wokuqoka ikhansela ngo-Okthoba nyakenye, uBanda wavotelwa ngabangu-85 ukuba abuyele esikhundleni, kwathi imbangi yakhe yathola amavoti angu-20.

“Akumina ngedwa ikhansela eseke laphatha kusukela ngo-1996 KwaDukuza, kuyangixaka ukuba ngigxekwe ngalokho,” kusho uBanda.

Abantu abangaphezu kuka-20 baboshelwe ukuba nodlame emphakathini kade kunalo mbhikisho.

Umphakathi uthe uma bengadedelwa, isiteshi saseMhlali lapho begcinwe khona “sizoba wumlotha”.

Khonamanjalo, izinkulungwane zamalungu omphakathi waseFolweni zigcwale umgwaqo izolo ntambama zibhikisha zikhala ngokuthi kuphakanyiswe igama lomuntu okungesiyena owendawo kwesobukhansela.

I-Sadtu ihlongoza isiteleka ngolothisha

$
0
0

ISADTU KwaZulu-Natal isiyalele uMnyango wezeMfundo ukuthi ukhokhele ngokushesha othisha abangaholanga ngomhlaka 15 kule nyanga noma ubhekane nesiteleka.

|||

MHLENGI SHANGASE

ISADTU KwaZulu-Natal isiyalele uMnyango wezeMfundo ukuthi ukhokhele ngokushesha othisha abangaholanga ngomhlaka 15 kule nyanga noma ubhekane nesiteleka.

Le nyunyana ithi iningi lo thisha elingaholanga libhekene nenkinga yokudlelwa imizi, izimoto abanye abasayi nasemsebenzini ngoba bengenayo imali.

Labo thisha basolwa ngokungezi neziqu zabo ngesikhathi kwenziwa uhlelo lokubalwa kwabasebenzi ukuze kuliwe nabayizipoki.

UNobhala weSadtu, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe badumele ngendlela umnyango ongabakhathalele ngayo abasebenzi ngokumane umise umholo wabo ungazange uxhumane nezinyunyana.

Uthe lo mnyango awuwenzi umsebenzi ngendlela kodwa ujaha ukubambela imali abasebenzi abazikhandlayo.

“Othisha abangaholanga iningi labo lalikhona kubalwa kodwa siyaxakeka uma sebebanjelwa imali. Babuye babalawa futhi ngemuva komhlaka 15 kodwa kuze kube imanje abakhokheliwe. Okusimangazayo wukuthi lesi sifundazwe senze kabi kakhulu kwamatric kodwa siyaqhubeka nokulovisa othisha ngokuthi singabakhokheli okunomthelela omubi ekufundeni kwabafundi,” usho kanje.

Uthe bafuna baholelwe ngokushesha bese bexoxa nazo zonke izinhlaka ezithintekayo ngokuthi lolu hlelo lokubalwa lungenziwa kanjani kungaphazanyiswa ukufunda nokufundisa.

“Uma kungukuthi ikhwelo lethu liyazitshwa, sizophoqeleka siyiSadtu ukuthi siteleke baze bakhokhelwe laba basebenzi. Umphakathi kumele wazi ukuthi abasebenzi abekho ephutheni, kodwa umnyango udala impi ngokubabambela imali bangakwazi ukuyisa ibhodwe eziko,” usho kanje.

Lolu hlelo lwaqala eminyakeni edlule kanti othisha kudingeka beze neziqu zabo babalwe ukuthi basekhona. Ngisho labo abasebenzela izinyunyana, ithimba lomnyango elisuke lihamba nelikaMgcini-mafa liya emahhovisi liyobala labo basebenzi.

Inhloso wukonga imali kungakho-khelwa abasebenzi abangekho, okudla enkulu imali.

Okhulumela umnyango, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe akakholelwa ukuthi kungafinyelela ezingeni lesiteleka ngoba bakhona othisha asebesizakele.

“Asikholelwa ukuthi kungaze kufike esitelekeni ngoba bakhona asebefikile bayasizakala. Baba nezivumelwano ezithile abazenzayo nomnyango,” usho kanje.

UNgqongqoshe weziMali, uMnuz Pravin Gordhan, ekhuluma emsakazweni iSAFM izolo, uthe kunezinhlelo zokuqeda ngezipoki kuhulumeni njengoba kubalwa abasebenzi ukuze kungakhokhelwa abantu abangekho.

Uthe lolu hlelo luthela izithelo ngoba kweminye iminyango kuyamiswa imiholo yabantu obekutholakala ukuthi bayizipoki, ukuze kuqedwe ukuchithwa kwemali kahulumeni kungenasidingo.

Uqhube wathi inkulu imali ebikhokhelwa izipoki.

Izinkumbi zabantu zizotheleka eTehuis

$
0
0

Kuzobe kumhlophe imigwaqo eMlazi ngeSonto, njengoba izinkulungwane zamalungu ebandla lakwaShembe ohlangothini lwaseBuhleni, zizobe zihambele eTehuis ziphelezele umholi wazo uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe.

|||

MLUNGISI GUMEDE

KUZOBE kumhlophe imigwaqo eMlazi ngeSonto, njengoba izinkulungwane zamalungu ebandla lakwaShembe ohlangothini lwaseBuhleni, zizobe zihambele eTehuis ziphelezele umholi wazo uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe.

UNyazi lujwayele ukuhambela kule ndawo lufike lukhulekele abantu abanezinkinga ezahlukene.

Eminyakeni embalwa edlule, uNyazi lwatheleka kule ndawo lwafike lenza izimanga lisukumisa ngisho abantu abahamba ngezihlalo ezinamasondo.

Okhulumela ibandla uMnuz Thokozani Mncwabe uthe kuzoma yonke into eMlazi ngeSonto “njengoba kuzobe kukhona inkosi yamakhosi”.

“Ngike ngahambela ngisho amajoyintini ambalwa, abantu abaningi engibafice khona ngakhuluma nabo bathembise ukuthi bazoma ezinkanjini zikaFaro ngeSonto njengoba bezoza eTehuis bezobona inkosi,” usho kanje.

UMncwabe uthe sebekhulumile ngisho babakwaMetrorail, babacela ukuba bandise izitimela njengoba belindele inqwaba yabantu.

“Kulokhu silinyuse kakhulu izinga uma kuqhathanyiswa neminye iminyaka,” usho kanje.

Uthe abagibeli bezitimela baseMlazi abangamaNazaretha nalabo abangewona bahlanganise isipho esikhulu engeke asidalulwe abazosipha inkosi.

“Ngifisa ukubonga uMvangeli Thuphakethe Mncwabe onguSihlalo wabagcotshwa baseMlazi, ngokuhambela ezitimeleni wafike wanxenxa abantu ukuba benze umnikelo wenkosi,” usho kanje.

Ibandla lakwaShembe ohlangothini lwaseBuhleni lusematheni njengoba kuqhubeka icala lombango wobuholi phakathi koNyazi nembangi yakhe uVela “Imisebeyalanga” Shembe. Leli cala kulindeleke ukuthi libuyele enkantolo ngenyanga ezayo.

Nyakenye ngesikhathi liguqa icala, iJaji u-Achmat Jappie, lamemezela ukuthi icala lihlehliselwa u-Ephreli kodwa ngokubona ukuthi leso yisikhathi eside, abameli bazo zombili izinhlangothi bavumelana ngokuthi libuye ngenyanga ezayo.

Uthukuthele umndeni woshonele esibhedlela

$
0
0

Uthukuthele uyaveva umndeni wowesifazane oshonele esibhedlela ngeledlule ngemuva kokuba kwi-coma izinyanga ezimbili.

|||

MLUNGISI GUMEDE

UTHUKUTHELE uyaveva umndeni wowesifazane waseMangosuthu, eDumbe oshonele esibhedlela ngeledlule ngemuva kokuba kwi-coma izinyanga ezimbili nokusolwa ukuthi washaywa kanzima yisoka lakhe ngoDisemba nyakenye.

UNksz Nomvula Mtshali (22), osesithombeni, obesebenza endaweni yokucwala izinwele ungeniswe esibhedlela saseVryheid ngoDisemba 18, nyakenye elimele kanzima ngemuva kwalesi sigameko.

Kuthiwa kwaba khona ingxabano phakathi kukamufi nesoka lakhe elingeke lize lidalulwe ngoba alikaboshwa lavela nasenkantolo, ngemuva kokuthi umufi elifice kwenye yezindawo zokucima ukoma lihleli nentombi.

Umfowabo kamufi, uMnuz Thokozani Mtshali uthe bathola ukuthi usisi wakhe wafica isoka lakhe linentombi kwenye yezindawo okuphuzwa kuzona utshwala kwabe sekuqubuka ingxabano.

“Ingxabano yabo yaqhubeka ngisho sebesekhaya, umsolwa yena wasitshela ukuthi usisi wazama ukumgwaza ngommese wambamba wamphuca wona, wadinwa wabe esezishayisa odongweni,” usho kanje.

Uthe umbiko kadokotela uveza ukuthi udadewabo wabulawa wukulimala kabi ekhanda.

“Sidumele ukuthi yize isigameko senzeke ngoDisemba kodwa umsolwa akaboshiwe kuze kube yimanje,” usho kanje.

UMtshali uthe bafuna umsolwa ajeze ngesenzo sakhe.

“Kusiphethe kabi siwumndeni ukuthi udadewethu abulawe kuthulakale kube ngathi kufe inja,” usho kanje.

Uthe ngeke baze baphumule umsolwa engakajezi.

“Umsolwa wasifihlela ukuthi udadewethu usesibhedlela, umama waze wabikelwa ngabangani bakhe ukuthi ulimele kanzima esibhedlela nokwathi uma siyombheka samfica ekwi-coma,” usho kanje.

“Usisi ube kwi-coma kusukela angena esibhedlela ngoDisemba 18, uze waqala ukuba ngcono ngasekupheleni kukaJanuwari njengoba egcine eshonile esibhedlela ngeledlule,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uthe bayasiqiniseka isigameko esenzeka ngoDisemba 18, ngabo 8 ebusuku lapho owesifazane oneminyaka engu-22, kusolakala ukuthi washaywa endaweni yaseDumbe, wangeniswa esibhedlela esesimnweni esibucayi.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>