Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Uchitha ekaGordhan nokuswela umsebenzi

$
0
0

Umengameli Jacob Zuma uzichithile izinsolo zokuthi uMnuz Pravin Gordhan angase alahlekelwe wumsebenzi.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

UMENGAMELI Jacob Zuma izolo uzichithile izinsolo zokuthi uNgqongqoshe weziMali, uMnuz Pravin Gordhan, angase alahlekelwe wumsebenzi kodwa wakugcizelela ukuthi uGordhan akanawo amandla okuxosha oyisikhulu sakwaSouth African Revenue Service (Sars) uTom Moyane engayilandelanga imigudu efanele yezomthetho.

“Ukungaboni ngaso linye phakathi kukaNgqongqoshe weziMali noKhomishana wakwaSars kuyalungiswa kusetshenziswa imigudu efanele yezomthetho,” kusho isitatimende esikhishwe yihhovisi likamengameli.

Ngesonto eledlule uGordhan wesabisa ngezinyathelo zomthetho ukuvikela yena nomnyango wakhe kwidlanzana elihlose “ukudunga” emuva kokuqinisekisa ukuthi uthole incwadi evela koKlebe nokuthi ubudlelwano bakhe noMoyane bunobutha.

Le ncwadi, ayithola ngaphambi kokuthula isabelo-mali sikazwelonke, kuthiwa yayinohla lwemibuzo ewuphenyo okumele uGordhan ayiphendule.

Izolo Oklebe bakuphikile ukuthi kukhona itulo elithile mayelana nalemi buzo ebhekiswe kuGordhan.

“Yebo singakuqinisekisa ukuthi siphenya uphiko olwalukwaSars “. Okwenze sathumela uGordhan imibuzo wukuthi besidinga asicacisele okuthile ngoba nguye owayephethe kwaSars ngaleso sikhathi, ngakho-ke nguye kuphela umuntu obengasinika into ephathekayo,” kusho oKlebe.

Kubikwa ukuthi uGordhan wakhetha ukuthula angayiphenduli imibuzo kuze kudlule ukwethulwa kwesabelo-mali. Wathi oKlebe kabanaso isizathu sokumphenya, wathi incwadi athunyelelwe yona yayihlose ukumthikameza ngaphambi kokwethula kwakhe isabelo-mali sezwe, okwafakazelwa ngunobhala-jikelele we-ANC uMnuz Gwede Mantashe, owathi iqembu lakhe limeseka ngokugcwele uGordhan.

UZuma uzichithile izinsolo zokuthi uvuna uMoyane kunoGordhan kulolu daba.

“Abezindaba babike imibiko engenabufakazi ethi kenengxabano ngaphakathi kwaSars, nokuthi umengameli noNgqongqoshe weziMali kabezwani. Yinsumansumane leyo.”

Ngeviki eledlule uMoyane wayengekho emhlanganweni wokulungiselela isabelo-mali nesithangami nabezindaba, nokwathi makhathaleni uGordhan wavuma ukuthi kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwakhe noMoyane.


Kufunwa isidumbu sofe nesoka begaywa yimoto

$
0
0

Ukhungathekile mndeni wowesifazane isidumbu sakhe esingatholakali ezimobeni zaseDalton eWartburg lapho kuthiwa silahlwe khona.

|||

MLUNGISI GUMEDE

UKHUNGATHEKILE umndeni wowesifazane obengunjiniyela waseMooi River isidumbu sakhe esingatholakali ezimobeni zaseDalton eWartburg lapho kuthiwa silahlwe khona ngemuva kokuthi yena nesoka lakhe beshayiswe yimoto bashona ngesikhathi bezivocavoca begijima emgwaqeni ngoLwesihlanu.

Lesi sigameko senzeke emgwaqweni omkhulu eDalton ngoMgqibelo ntambama.

UNksz Sithabile Mkhasibe (27) kuthiwa bebezigijimela emgwaqweni nesoka lakhe uMnuz Xolani Nxele (32) ngesikhathi umshayeli weHonda Ballade okuvela ukuthi ubedakiwe ebashayisa wangama kodwa wabahudula.

UNxele yena kuthiwa imoto imshayise yamphosa kwi-bonet kwathi uNksz Mkhasibe wawela kwi-windscreen.

Kuthiwa uNksz Mkhasibe obengunjiniyela ubevakashele isoka lakhe eWartburg lapho lisebenzela khona, bazigijimela emgwaqweni kanti bazokwehlelwa yilo mshophi.

Ethintwa izolo ntambama, uMnuz Andile Mlotshwa ongumfowabo kaNksz Mkhasibe uthe basezimobeni eDalton bathungatha isidumbu sikadadewabo.

“Sifike lapha ezimobeni zaseDalton ngabo-12, emini sizothungatha udadewethu kodwa asikamtholi,” usho kanje.

Uthe umsolwa utshele amaphoyisa ukuthi isidumbu sikadadewabo usilahle ezimobeni ngemuva kokubona ukuthi ubengasaphefumuli.

“Izimoba zalapha zinkulu, siyathungatha yonke indawo ngokubambisana namaphoyisa,” usho kanje.

UMlotshwa uthe udadewabo ubethanda ukuhlala ezivocavoca emgwaqeni ukuze ahlele engumqemane.

Uthe udadewabo usule emsebenzini lapho kade esebenza khona engunjiniyela e-Eastern Cape ngoba kade efuna ukusondelana nomndeni.

UMlotshwa uthe umsolwa uboshwe ngemuva kokuthi ebuyele endaweni yesehlakalo kanti sekukhona amaphoyisa nalona wesithathu obegijimisana nodadewabo nesoka lakhe, wakwazi ukumbona watshela amaphoyisa wabe esevalelwa. Umsolwa (37) uvelile eNkantolo yeMantshi yaseMshwathi izolo mayelana namacala okubulala ngokungenhloso nokushayela edakiwe.

Icala lakhe lihlehliselwe uMashi 7, ukuze afake isicelo sebheyili. Ugcinwe ezitokisini. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, uthe umsolwa oneminyaka engu-37, uboshiwe mayelana namacala okubulala ngokungenhloso nokushayela edakiwe.

Ethintwa izolo emini, uZwane uthe isidumbu sikaNksz Mkhasibe besingakatholakali. Unqabile ukwenaba kakhulu ngalolu daba wathi lubucayi.

Uvalo kudutshulwa omunye eGlebelands

$
0
0

Sekuqubuke uvalo kwabahlala ehostela laseMlazi eGlebelands kulandela ukudutshulwa kosebenza erenki kule ndawo ngeledlule.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE NoLUNGI LANGA

SEKUQUBUKE uvalo kwabahlala ehostela laseMlazi eGlebelands kulandela ukudutshulwa kosebenza erenki kule ndawo ngeledlule.

Emuva kokuthula isikhashana kungekho obulawayo kulo nyaka kuleli hostela, imimoya iphezulu kulandela ukudutshulwa kukaMnuz Zibangile Ntozakhe (55).

UNtozakhe, okuvele ukuthi ngowaseHarding, wathelwa ngoyaba lwezinhlamvu ebusuku ngoLwesine odlule eserenki eReunion.

Umufi kuvele ukuthi vele ubeyimenenja khona erenki.

Kuthiwa kwaduma izulu lezandla kugcwele umphakathi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, uthe akekho osaboshiwe ngalesi sigameko.

“Amaphoyisa aseMlazi aphenya icala lokubulala kulandela ukutholwa kwesidumbu sowesilisa oneminyaka engu-55 ebulewe esiteshini eduze kwasehostela. Ubenamaxeba okudutshulwa kwesingezansi. Imbangela yokubulawa kwakhe ayaziwa,” kusho uZwane.

Kwenzeka lokhu nje ngalo ilanga lesigameko emini, bekukade kufike umvikeli womphakathi u-Advocate Thuli Madonsela, ehambele yona indaba yodlame lwakuleya ndawo.

Umthombo weSolezwe uthe yize kungacaci ukuthi kungani ebulewe umufi, kodwa kubethusile ukubulawa kwakhe.

“Bese kunesikhashana kuthule kule ndawo, uma sekubulawa umuntu kusenza sithuke kakhulu. Asazi noma sekuyikho yini ukuqala kokubulawa kwabantu futhi. Sithukile kakhulu. Besisaqala nje ukuthi sikhululeke noma sihamba emgwaqweni, manje sesihlala endlini ngoba asazi kungani ebulewe lobaba,” kusho umthombo.

Omunye umthombo uveze ukuthi umufi uzibangele amazinyo abushelelezi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, wavela nakuthelevishini, ekhuluma ngengozi yetekisi okwashona kuyo abantu abane.

Umufi kuvele ukuthi ungomunye wabantu abazibonela ukusuka nokuhlala kwengozi futhi bekusolwa ukuthi uzoba ngabanye bofakazi enkantolo njengoba icala liqhubeka.

“Isimo sishubile kakhulu. Yize singazi kahle ukuthi kungani ebulewe kodwa kuke kwavela ukuthi kukhona abanganeme ngaye kulandela ukuvela kwithelevishini ekhuluma ngokushayela budedengu kwabamatekisi kule ndawo nokuholela kwizingozi eziningi. Ukusho lokhu kulandela ukushona kwabane engozini yetekisi eyaphaphalaza,” kusho umthombo.

Amaphoyisa kuthiwa asiqaphile isimo kuleli hostela. Ngonyaka odlule kubulawe abantu abangaphezu kwa-25 kulo.

Khonamanjalo, sekukhona abakhala ngokusatshiswa emuva kwesigameko sokubulawa kukaNtozakhe.

Owesilisa ohlala esitezi sakwa-R, uthe kunabantu abamtshele ukuthi kusolwa yena ngokubulawa kukaNtozakhe.

Uthe usethole izingcingo kubantu bemtshela ukuthi kufanele agade ngoba kunabantu abamfunayo nabathunywe ukuthi bamthele othulini.

“Bangiqondile abantu bangitshela ukuthi angiphephile neze ngoba kunabantu abebefikile nangoMgqibelo bezongifuna. Kodwa manje ngisola ukuthi basafuna ukuqhuba lento yokubulawa kwabantu ngoba manje lona oshonile ebehlala nalabo esingazwani nabo. Basebenzisa lesi simo ukuqhubeka lapho begcine khona,” kusho lo mlisa.

Uthe akalubikile lolu daba emaphoyiseni ngoba ebona ukuthi iningi labantu abehlala nabo nabebengabangani bakhe asebebulewe bebebulawa kubikiwe emaphoyiseni.

Kuklonyeliswe abasebenza ezinkulisa

$
0
0

Zisembalwa izingane eziqala ezinkulisa KwaZulu-Natal phezu kokuba uhulumeni egqugquzela ukuthi ziqale khona ngaphambi kokungena esikoleni.

|||

ZANELE MTHETHWA

ZISEMBALWA izingane eziqala ezinkulisa KwaZulu-Natal phezu kokuba uhulumeni egqugquzela ukuthi ziqale khona ngaphambi kokungena esikoleni.

Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Weziwe Thusi kuklonyeliswa othisha bezinkulisa eThekwini izolo.

Umcimbi we-Early Childhood Development (ECD) Awards wenziwa ukuchoma uphaphe abasebenza ezinkulisa.

Izolo bekuklonyeliswa abenze kahle ngo-2015.

“Indlela uhulumeni awakhathelele ngayo ama-ECD, undunankulu wesifundazwe usecele umnyango wami, owezemfundo, owezempilo, owezemidlalo nokungcebeleka, ukuthi isebenzisane ukufukula izinkulisa. Yize kunjalo kodwa zisencane izingane ezifunda ezinkulisa. Siyagqugquzela ukuthi izingane ziqaliswe enkulisa zithole isisekelo ngaphambi kokungena esikoleni,” kusho ungqongqoshe.

UNkk Thusi othe bayazi ngezinselelo ezibhekene nabasebenza ezinkulisa, unxuse ukuthi babhalise ukuze bathole izitifiketi.

Uveze ukuthi kungumthetho ukuthi uma ugada izingane eziyisithupha nangaphezulu kumele uthole imvume kuhululemi.

Uthe uma ingekho banelungelo lokuthatha izinyathelo zomthetho.

Othisha nabanikazi bezinkulisa bebephume ngobuningi bezohalalisela abazoklonyeliswa.

Bekuklonyeliswa emikhakheni emibili, abaphumelele kuyona abazomela isifundazwe kuzwelonke ngo-Ephreli 8.

Kuqopheke umlando emkhakheni weBest ECD Practitioner kuphuma phambili uMnuz Thokozani Msimang onguthisha eSlindokuhle Creche and Pre-School eHammarsdale, obekuqala ukuthi kuwine kuwo owesilisa. Ukuwina kwakhe kushayelwe ihlombe njengoba kuseyivela kancane ukuthola uthisha wesilisa enkulisa.

Emkhakheni weBest ECD Centre kuwine Isiduduzo Creche and Pre-School ephethwe nguNkk Thuleleni Mnyayiza eHammarsdale ochiphize izinyembezi zenjabulo.

Lo mcimbi oxhaswa yiNational Development Agency (NDA) waqala uxhaswa yibhange u-Absa ngaphambi kuka-2004.

UNksz Yolisa Ndima oyiProvincial Manager kwaNDA uthe isibalo sabangenele ukuqokwa kulokhu sehlile uma kuqhathaniswa no-2014.

Uthe bebehambela izinkulisa njengengxenye yokuhlunga abangenele ukuklonyeliswa. Uveze ukuthi unethemba lokuthi iKZN izokwenza kahle emcimbini kazwelonke njengoba isike yahlabana kaningi phambilini.

UNkk Ncamsile Mchunu weSigcawu Creche and Pre-School owadla umhlanganiso koweBest ECD Centre ngo-2014, ugqugquzele othisha ukuthi bawuthande umsebenzi wabo. NgoJulayi kuzobe sekuthathwa abazongenela ukuklonyeliselwa u-2016.

Umenziwa akakhohlwa: Shenge

$
0
0

Umholi we-IFP uMntwana Mangosuthu Buthelezi uthi umangazwe nguMnuz Sihle Zikalala, ngokuhlaba ikhwelo lokuba abuyele kuKhongolose.

|||

CELANI SIKHAKHANE

UMHOLI we-IFP uMntwana Mangosuthu Buthelezi uthi umangazwe nguSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ngokuhlaba ikhwelo lokuba abuyele kuKhongolose ekubeni eminyakeni edlule wamenza ihlaya, emchaza njengomuntu ongaselutho ngoba ekhale ngenkohlakalo ye-ANC kubaholi bendabuko.

UButhelezi ukusho lokhu ephawula ngenkulumo kaZikalala ayenze emcimbini we-ANC obuseClermont ngeSonto, wokugubha iminyaka engu-104 kwasungulwa le nhlangano.

“Kunesisho esithi usuku lude kakhulu kwezombusazwe,” kusho uButhelezi. Uthe eminyakeni embalwa edlule, kuthe uma ekhala ngenkohlakalo eyayenziwa yi-ANC iyenga abaholi bendabuko esifundazweni ngoba ifuna ukubazuza, uZikalala wavele wasiphendula ihlaya isikhalo sakhe.

“Waze watshela i-IFP wathi ayivale umlomo. Namhlanje usethi uyangimema ukuba ‘ngibuyele ekhaya’ ku-ANC. Ngiyafisa ukumkholwa kodwa uma ngicabanga izinto azikhulume ngami nezenziwe ngabanye abaholi be-ANC kimi, ikakhulukazi laba baKwaZulu-Natal, kunzima,” kusho uButhelezi.

Ubuye wezwakalisa ukucasuka kwakhe ngegama lesingisi elasetshenziswa uZikalala lokuthi “Chief Buthelezi”, wathi akalifuni ngoba elangezikhathi zobandlululo futhi lalisetshenziswa wumbuso wamaKoloni ukubukela phansi ubuholi bendabuko.

Uthe leli gama lavalwa ngesikhathi sombuso kahulumeni waKwaZulu, kodwa uyathuka uma uZikalala eqhubeka nokulisebenzisa ekubeni ethi ufuna abuyele ku-ANC. Uthe uyadumala uma liqhubeka ukusetshenziswa yi-ANC ekubeni izama nokuzuza izinhliziyo zabaholi bendabuko.

“Kusho ukuthi naseSilweni samabandla uZikalala angasibiza ngokuthi yiParamount Chief? La magama asesetshenziswa manje ngoba kweyiswa ubuholi bendabuko noma ebukelwa phansi. Empeleni kunzima ngempela ukukholwa ukuthi uZikalala uqinisile ukuthi ufuna ngibuye ku-ANC uma esakhuluma kanje.

“Kuyiqiniso ukuthi ngiphuma kuyo i-ANC, futhi angikaze ngikufihle ukuthi Inkatha yasungulelwa ngaphansi kwemigomo ye-ANC ka-1912. Ngisho kwayona i-ANC yasungulwa ngumalume wami uDkt Pixley ka-Isaka Seme. Nokho kuningi okwenziwe ngabanye abaholi be-ANC bezama ukungibeka kabi emphakathini. Ngo-1979 ngaba nomhlangano no-O.R. Tambo eLondon, owathatha izinsuku ezimbili nohhafu, kodwa kwathi uma ngibuya lapho i-ANC yaphika yathi ngamanga lawo, awukaze ube khona lowo mhlangano. Ngisho ukuba khona kukahulumeni waKwaZulu kwaba yisivumelwano esasenza naye uTambo ukuze silwe nohulumeni wengcindezelo singaphakathi njenge-IFP,” kusho uButhelezi.

Ethintwa uZikalala uthe bayabuhlonipha kakhulu ubuholi bendabuko, waphinde wathi bazimisele ekutheni kubuyiswane ne-IFP kodwa bafisa uButhelezi abuyele ku-ANC ukuze zonke lezo zinto zilungiswe ngaphakathi.

UButhelezi uthe baningi abantu be-IFP nabe-ANC ababulawa ngezikhathi zodlame lomnyama nomnyama, kodwa kumanje abaholi be-ANC bancamela ukwenza izikhumbuzo zabalandeli be-ANC kuphela.

Uveze nokuthi ngisho uDkt Nelson Mandela ngesikhathi ephuma ejele, efuna ukuba bayokhuluma nabantu be-ANC ne-IFP ukuze kube nokubuyisana kula maqembu, kodwa abaholi be-ANC baseKZN banqaba.

Uthe nangesikhathi uMnuz Thabo Mbeki emcela ukuba abe yiphini lakhe likaMengameli wezwe, i-ANC KwaZulu-Natal yanqaba, yathi kungenzeka lokho kuphela uma i-IFP inikela ngesikhundla sikaNdunankulu eKZN, njengoba kuyiyo eyayiphethe isifundazwe ngaleso sikhathi.

Uthe zonke lezi zinto azibalayo zenza kube nzima ukukholwa inkulumo kaZikalala ukuthi ngempela iyiqiniso uma efuna abuyele ku-ANC.

Uqhube wathi, abaholi abafana noMbeki noMandela bame naye ezikhathini eziningi bengenankinga kodwa abaseKZN bebengakufuni lokhu.

Uthe nangesikhathi uMandela ephuma ejele wambonga embuthanweni we-ANC ukuthi ube neqhaza ukuba aphume ejele kodwa abantu bakaKhongolose bamhhewula bengakufuni lokho.

OweBig NUZ ulaliswe esibhedlela

$
0
0

Akucaci kahle ngembangela yokushaywa kwelungu leBig NUZ, uDanger, ngebhodlela ebusweni.

|||

FANELESIBONGE BENGU

AKUCACI kahle ngembangela yokushaywa kwelungu leBig NUZ, uDanger, ngebhodlela ebusweni wasikeka kanzima wasala nenxeba endaweni yobumnandi i-Absolute, kuFlorida Road, eThekwini, ngoMsombuluko ngabo-3 entathakusa.

UDanger kuthiwa ushaywe nguDogg, osebenzisana neMabalabala Entertainment okuqopha kuyo uDJ Bongz, L’vovo Derrango, Ms Jones nabanye.

UDanger uthe uDogg uxabane nomngani wakhe abehamba naye wabe esezincokolela ethi, “Wena Dogg uzoshayeka ngempela.”

Uthe iphelile ingxabano kwathi ngemuva kwemizuzu elinganiselwa kwengu-20 wezwa ngebhodlela likhala endlebeni.

Lo mculi uphuthunyiswe esibhedlela eNtabeni Hospital lapho efike walaliswa khona.

“Angiboni ukuthi ubengaze angishaye ngebhodlela kanje, ngokuthi ngithi uzoshayeka ngempela ngoba bengizidlalela. Ngishayeke ngasendlebeni yesobunxele. Ekuseni ngitishiwe manje sengilinde ukuthi bangihlanze bese beyangikhulula,” kusho uDanger izolo esesibhedlela.

Uthe akalivulanga icala ngoba uhlela ukuthi ahlangane naye uDogg uma esephumile esibhedlela.

“Ngifuna sihlangane njengamajita ngizwe ukuthi inkinga yakhe ikuphi ngoba kuyenzeka unyathele umuntu amakhona ungazi,” kusho uDanger.

Yize uDogg engatholakalanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa kodwa kusolwa ukuthi umbango uqubulwe wukunqoba kukaDJ Bongz indondo yeBest Kwaito Album kumaMetro FM Music Awards (MMA) abese-ICC ngoMgqibelo ebusuku.

UBongz neBig NUZ bebeqhathwe ndawonye kumaMMA njengoba kugcine kunqobe uBongz.

E-Absolute bekunomcimbi, iMad About House, uDogg abengomunye wabahleli bawo, ngeSonto ebusuku.

Kuthiwa uDogg osebenzisana neMabalabala Entertainment, okuqopha kuyo uDJ Bongz ubephikisana noDanger ngokunqoba kukaBongz kumaMMA.

Umthombo weSolezwe uthe usebenzisana nale nkampani ukumaketha abaculi bakhona ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi uDJ Bongz.

Umnikazi weMabalabala Entertainment uReggie “Govner” Nkabinde uthe uDogg akaqashiwe enkampanini yakhe.

“Anginaye umuntu okuthiwa nguDogg enkampanini. Engikwaziyo ukuthi uyafika asebenze abe esekhokhelwa ngalokho asuke ekwenzile, lokhu uyakwenza nakwezinye izinkampani,” kusho uGovner.

Umthombo uphinde waveza ukuthi uDogg uzishaya isifuba ngokuthi iMabalabala imholela imali enkulu kunaleyo ake wayenza e-Afro.

UDJ Tira ongumphathi we-Afrotainment, okuqopha kuyo iBig NUZ, naye ucingo akalubambanga.

UT’zozo, okhulumela inyunyana yamaciko iCreative Workers Union of South Afrika (Cwusa), uthe uyile ukuyobona uDanger. Usigxekile lesi senzo sodlame wagqugquzela ubunye emacikweni.

Banovalo abomndeni wobebangwa esefile

$
0
0

Ubambe umoya umndeni kaMnuz Kwazi Nzimande osekuphele amasonto amabili isidumbu sakhe siduve emakhazeni.

|||

S’MANGELE ZUMA

UBAMBE umoya umndeni kaMnuz Kwazi Nzimande (69) waseNanda Glebe, osekuphele amasonto amabili isidumbu sakhe siduve emakhazeni ngenxa yombango waso ophakathi kowayeyinkosikazi yakhe asahlukanisa nayo kanye naseshade nayo manje.

Lokhu kulandela ukuthi iNkantolo eNkulu yaseThekwini ivune unkosikazi wakhe omusha uNkk Senzeni Nzimande (48) ngoMsombuluko.

Ngokusho kwezingane zikaNzimande ebezizwelana nomamncane wazo, ‘umakoti’ omdala uNksz Abigail Ngoma kade ahlukanisa noyise.

Zithe uNksz Ngoma ubasongele ngaphandle kwenkantolo okwenze baba novalo ukuthi angabenzakalisa njengoba eze wabafaka enkantolo esha amashushu okumngcwaba yena uNzimande.

Indodakazi kaNzimande, uNksz Thandazile Nzimande (48), ithe badideka bethintwa ngabasemakhazeni ngoLwesihlanu bethi uNksz Ngoma uthe wephucwe isidumbu sakhe.

“Basishayela ucingo sivele silungiselela ukuyolanda isidumbu njengoba besihlele ukuthi sizomngcwaba ngoMgqibelo. Sathi sifika khona samthola esesilindile nencwadi yasenkantolo. Safika enkantolo kwathiwa kudingeka ukuthi omama bobabili bayothola izitifiketi zomshado eMnyangweni wezaseKhaya, ukuze kubonakale ukuthi ngubani ngempela oshade nobaba. Icala lahlehliselwa uMsombuluko lapho umamncane ebonise ijaji isitifiketi sakhe somshado, lo omunye umama isitifiketi sakhe besisho ukuthi wehlukanisile nobaba. Uthe yithina sihlangene nomamncane esenze isehlukaniso,” kusho uNksz Nzimande.

Uthe uNksz Ngoma ubatshele emehlweni ukuthi uma inqama ihlehla, hhayi ngoba isuke ibaleka, kodwa isuke ithatha amandla.

“Umngcwabo kababa siwuhlelele ikusasa (namhlanje) kodwa sinovalo ngoba asazi noma uzophazamiseka yini. Asazi ukuthi ubeqonde ukuthini ngala mazwi. Okokuqala asigculisekile ngokuthi kwezwa yena kuqala ngokufa kukababa, owadutshulwa wabulawa ehambisa izinkwa ngeveni ehostela KwaMashu. Thina besazi ukuthi uhlala e-Eastern Cape, kwasixaka ukuthi ubesezwe ngobani wafika nini eThekwini.

“Wathumela indodakazi yakhe ukuthi izolanda imoto kababa iHyundai ix35, sabanikeza ngoba sinqena ukukhuluma kanti uhlela ukusifaka enkantolo,” kusho uNksz Nzimande.

Uqhube wathi bazobikela amaphoyisa ngezinsongo zikaNksz Nzimande ukuze bathole ukuvikeleka.

UNkk Nzimande uthe uyajabula ukuthi ugcine enqobile enkantolo ngoba akufisayo ngukungcwaba umyeni wakhe ngesizotha.

“Anginawo amaningi, lento ibingiphethe kabuhlungu. Sekungaze kuhlehle umngcwabo nje ngenxa yombango. Ibuhlungu lento asenze yona lo mama wasibukisa ngabantu. Ngibonga nje ukuthi uzogcina engcwatshiwe umyeni wami yize sesiphoqeka ukuthi simngcwabe phakathi nesonto,” kusho uNkk Nzimande.

Ethintwa uNksz Ngoma uvele wabhoka ngolaka wathi akubuzwe kuwo umndeni wakwaNzimande ngaphambi kokuthi avale ucingo.

“Anibuzi ngani laba abanitshelile, ayikho into engizoyiphawula,” kusho uNksz Ngoma.

Ugcine engcwatshiwe umyeni obebangwa

$
0
0

Ugcine engcwatshwe uMnuz Kwazi Nzimande ngemuva kokuthi sekuphele amasonto amabili isidumbu sakhe siduve emakhazeni.

|||

S’MANGELE ZUMA

UGCINE engcwatshwe izolo uMnuz Kwazi Nzimande waseNanda Glebe ngemuva kokuthi sekuphele amasonto amabili isidumbu sakhe siduve emakhazeni ngenxa yombango phakathi kowayeyinkosikazi yakhe asahlukanisa nayo kanye naleyo abeseshade nayo. Ungcwatshwa nje, owabe eyinkosikazi uNksz Abigail Ngoma usezame kaningi ukuthola isidumbu sibe ngakuyena.

Kuthiwa izolo ekuseni ngesikhathi abaKwaNzimande belungisela ukuya emathuneni ngemuva kwenkonzo yomngcwabo, uNksz Ngoma ugasele ekhaya labo nemoto yezidumbu namaphoyisa ezofuna isidumbu “somyeni” wakhe.

Lokhu kuwuthukuthelise kakhulu umndeni wakwaNzimande ogcine usumthembisa induku ngaphambi kokukhombisa amaphoyisa incwadi yasenkantolo ebagunyazayo ukuthi bangcwabe uNzimande.

Indodakazi kaNzimande, uNksz Thandazile Nzimande (48) ithe isenzo sikaNksz Ngoma sibakhombisile ukuthi akaphilile ngempela ekhanda.

“Lo mama asazi ukuthi kungani ebangisa umamncane ngoba wahlukanisa ngo-2006 nobaba. NangoLwesibili sekumele silande isidumbu emakhazeni, kusuke umsindo esephethe incwadi mbumbulu esivimbayo ukuthi sikhiphe isidumbu. Kuze kwasiza ukuthi ummeli wethu ayobiza amaphoyisa ukuze sikwazi ukuthola isidumbu. Isidumbu sikababa singene sekumnyama la ekhaya okuyinto esiphathe kabi. Asimazi ukuthi yini le engaka ebimenza ukuthi afune ukumngcwaba yena ubaba,” kusho uNksz Nzimande.

Uthe basazimisele ngokumfaka enkantolo ukuze azobuyisa imoto kaNzimande iHyundai ix35 ayithatha ngodli.

“Ngeke sidlale lo mfazi thina. Sibonga amaphoyisa aseMbilo akwazile ukusiphelezela saze safika emathuneni. Asazi ukuthi yimuphi omunye umsangano azowenza ngemuva kwalokhu,”kusho uNkk Nzimande.

Uthe akubongayo ukuthi ugcine emngcwabile umyeni wakhe.

“Okunye nokunye akunamsebenzi. Besekungiphatha kabi ukuduva kwesidumbu somyeni wami emakhazeni,”kusho uNkk Nzimande. Ethintwa uNksz Ngoma uphinde wabhoka ngolaka wathi ayikho into azimisele ngokuyikhuluma nabezindaba. “Ngicela niyeke ukungifonela. Nginitshelile ngathi fonelani laba abanitshele udaba,”kusho uNksz Ngoma ngaphambi kokuvala ucingo.

UNzimande wadutshulwa wabulawa ehostela KwaMashu ngesikhathi ehambisa izinkwa ezitolo zakhona. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uthe amaphoyisa aKwaMashu asaphenya ngecala lokubulala.


Sidlondlobele isibhaxu ezikoleni zaseKZN

$
0
0

Ukushukusha izindlebe, ukudlikizisa umfundi, ukumsabisa noma ungamthintanga, ukumncinza, ukumkhahlela nokumhlohloloza ngomunwe kungenza uthisha akhonjwe indlela.

|||

MHLENGI SHANGASE

UKUSHUKUSHA izindlebe, ukudlikizisa umfundi, ukumsabisa noma ungamthintanga, ukumncinza, ukumkhahlela nokumhlohloloza ngomunwe kungenza uthisha akhonjwe indlela nguMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal.

Lokhu kushiwo yinhloko yomnyango uDkt Nkosinathi Sishi izolo njengoba ithi cishe nsuku zonke ithola izikhalo ngokushaywa kwabafundi ezikoleni.

USishi uthe yize induku yavalwa ngo-1996 kodwa othisha basaqhubeka nokushaya kanzima abafundi esikoleni futhi baze basabise.

“Cishe nsuku zonke ngithola imibiko yothisha abashaya abafundi kanti sesikhathele ukukhuluma into eyodwa. Size sakhipha nesekhula sibakhumbuza ukuthi akuvumelekile ukushaya, hhayi lokho kuphela kodwa nokuncinza umfundi yicala oxoshelwa lona. Labo abashaywayo abasibikele ngokushesha ukuze siphenye, sixoshe labo abatholakala necala,” usho kanje.

Uthe akumele umfundi asatshiswe ngoba lokho kuthinta ukushaya, bagqugquzela ukuthi babikwe nasemaphoyiseni abenza lokhu.

Usho lokhu nje oKhahlamba High, eBergville abafundi abenza u-grade 11 baveze ukuthi baxetshulwe ngepayipi elinenduku ngoba belahle amaphepha ngemuva komnyango.

Omunye wabafundi okhulume neSolezwe wacela ukungadalulwa, uthe bebelaliswe etafuleni bexetshulwa ngothisha abevile kwabahlanu.

“Isono nje wukuthi salahla amaphepha ngemuva komnyango sase silandelwa ngabanye othisha saxetshulwa. Induku yinto yakhona kulesi sikole, sishaywa njalo kodwa manje sebeyalwa othisha ngoba baze basitshele emehlweni ukuthi ngeke sibenze lutho. Asiwavulanga amacala ngoba sifuna ukufunda, siphase u-matric siphume siye emanyuvesi. Asibiki emnyangweni ngoba asazi kumele siqondane nobani,” kusho umfundi.

USishi uthe labo abashaya abafundi kumele babikwe emaphoyiseni ukuze baphenywe bese beboshwa ngoba ukushaya yicala.

“Sifuna nalabo abangakwazi ukuthatha ubufakazi babashuthe labo thisha abenza lokhu beze kithina, asinanazi simkhomba indlela. Sithole nokuthi ngendlela othisha asebeshaya ngayo idlulele kakhulu ngoba bayabalimaza abafundi. Ababikwe ehhovisi lami abasenza lo mkhuba omubi, enombolweni ethi:033 392 1004 bafune uNkk Sindi Zakuza-Njakazi okunguye oqoqa amacala abo bonke laba abenza la macala. Asidlali uma kuyiwa ezintweni ezithinta ukushaywa ngoba yinto eyavalwa futhi eyicala,” usho kanje.

Isimo siyalawuleka eKZN - Zizi Kodwa

$
0
0

I-ANC kuzwelonke ithi imibango ekhona KwaZulu-Natal yezikhundla zobukhansela akuyona into eyinkinga kangako.

|||

CELANI SIKHAKHANE

I-ANC kuzwelonke ithi imibango ekhona KwaZulu-Natal yezikhundla zobukhansela akuyona into eyinkinga kangako ngoba yenzeka ezindaweni ezithize kuphela futhi isimo siyalawuleka.

Lokhu kuvezwe umkhulumeli wale nhlangano kuzwelonke, uMnuz Zizi Kodwa ngesikhathi ethintwa mayelana nesimo esishubile esikhona njengoba kunezikhalo ezindaweni ezehlukene esifundazweni lapho kuze kwaphuma khona nezidumbu, abanye beshiselwa nemizi kuqhume nequpha, ngenxa yemibango yobukhansela.

Esigame-kweni sakamuva kushayane amalungu e-ANC aku-ward 21 namasosha oMkhonto weSizwe kubangwa ukuthi ubuholi bufunza abantu ngomuntu abangamfuni.

Kulesi sigameko kuze kwalimala kabi uMnuz Skho Mthethwa oshaywe ekhanda wavuza igazi benomunye wesifazane oqhasabulwe ngempama.

ENew Hanover ngaseGreytown ku-ward 2 amalungu akhona asola ikhansela lendawo ngokugweva namakhandi obulungu okuthiwa liwanikeza abantu balo ukuze kube yibo abazoba nelungelo lokungena emihlanganweni wegatsha wokukhetha ikhansela.

EMthwalume ku-ward 12 kuthiwa bashaye owesifazane walimala kabi ngemuva kokuthi ebebonakala ethwelwe ngeqoma wuhlangothi olufuna abe yikhansela.

ETshelimnyama, eThekwini kusuke umsindo amalungu ekhala ngokuthi umhlangano wokuqoka ozomela i-ANC okhethweni, wenzelwe ethaveni yendawo ngoba kufihlelwa abangahambisani nomuntu obezokhethwa.

EMlazi kuze kwashiswa umjondolo womuntu kulwa amalungu e-ANC ebanga ubukhansela kanti abanikazi bawo sebephenduke ondingasithebeni.

KwaDukuza bashise umuzi nemoto yekhansela elangena kulesi sikhundla ngo-1996. Abantu bathi abasalifuni ngoba alibenzeli lutho.

EMzumbe ilungu leSanco lithole isibhaxu laze lashiselwa umuzi laphuma ebusuku selihamba ngezinto zangaphansi ngemuva kokuthi emini belikhethwe ukuba lingenele ubukhansela.

Ezinye izindawo okunezinkinga kuzo kubalwa uMnambithi, Ndengezi, Folweni, Thongathi kanti kwaNzimakwe ku-ward 10, oGwini kuphume umyalelo wokuthi kuqalwe phansi ukukhetha khona ngoba kuthiwa kwaba nokugxambukela kobuholi.

UKodwa uvumile ukuthi isimo sishubile ezindaweni eziningi ngoba abantu bafuna ukuba amakhansela kodwa lokho akusho ukuthi sesingaphezu kwamandla abo.

“Inkinga wukuthi abantu bavele bayithathe le nto ngokuthi isiyenzeka zonke izindawo ekubeni kuyilezo ezimbalwa. KwaZulu-Natal, ikakhulukazi, eThekwini isimo siyalawuleka ngoba abaholi bethu bakazwelonke esibajube nabesifundazwe basebenzisana kahle nezinhlaka zenhlangano emagatsheni. Okwamanje asikho isikhalo esingathi sesilethwe kithi sisuka KwaZulu-Natal. Ngakolunye uhlangothi isimo ebesikhona phakathi kwe-ANC neSACP sisilungisile ngoba nabaholi balezi zinhlaka esifundazweni baze benza umhlangano ndawonye. Ngakho akekho umuntu weSACP noma weCosatu okulindeleke ukuba azimele okhethweni kodwa bonke bazobe bekhethwa ngokobulungu babo ku-ANC,” kusho uKodwa.

Uqhube wathi isimo sodlame emagatsheni sehlile uma kuqhathaniswa no-2011 lapho abagcina sebejuba khona uDkt Nkosazana Dlamini Zuma ukuba aphenye.

Uthe ezindaweni eziningi sekukhethiwe kanti osekusele wukuba amagama abantu ayiswe emiphakathini bese yona izikhethela labo ebafunayo.

UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Super Zuma obekhuluma nabezindaba izolo eSeme House, uthe bakhathazwa ukuthi abanye babantu abafuna ukumela i-ANC banamacala obugebengu ekubeni kuyinto engavumelekile.

Uthe lonke uhlelo luhamba kahle ngoba kunamagatsha angu-90 abenezikhalo kodwa angaphezulu kuka-50 asebelungise kuwo izinto.

Uqhube wathi angu-10 kuphela amagatsha anenkinga enkulu kodwa unqabile ukuwagagula ukuthi yimaphi.

Izolo kubonakale abanye abantu begcwele emahhovisi e-ANC bezolalela ukulandelelwa kwezikhalo zabo.

Elinye ithimba libonakale liholwa yiNkosi yamaQadi uMqoqi Ngcobo.

Usephenduke umzali owashiywa nengane encane unina wayo wabaleka

$
0
0

Usephenduke unina wengane enezinyanga ezinhlanu umzanyana, ngemuva kokubaleka kukanina wamshiya nengane.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

USEPHENDUKE unina wengane enezinyanga ezinhlanu umzanyana, ngemuva kokubaleka kukanina wamshiya nengane KwaBangibizo, eMthwalume.

UNkk Bongekile Sengane (45), uthi uzithola esephenduke unina wengane yingoba unina wayo kusolwa ukuthi ubalekele amaphoyisa ngenxa yecala avulelwe lona lokweba izimbuzi emsebenzini wakhe.

Uthe le ngane yentombazane waqala ukuyigada inamasonto amathathu ngonyaka odlule ngoba ecelwe wunina ngenxa yokuthi yena uyasebenza.

“Unina wale ngane wayazi umakhelwane wami, wacela yena ukuba amfunele umuntu ozomgadela yona. Ngavuma ukwenza umsebenzi savumelana ngo-R1 200 ngenyanga. Kusukela ngoSepthemba bengisala nengane emini bese eyilanda ntambama. Kuthe sekuhamba isikhathi wakhala ngokuthi ngeke esayilanda ntambama ngoba iyakhala kakhulu ayimjwayele. Angizange ngibe nenkinga. Ingane ibisihlala nami emini nasebusuku kusukela ngoNovemba. Unina ubefika alethe ukudla nemali yami,” kusho uNkk Sengane.

Uthe inkinga iqale kulo nyaka lapho lo wesifazane engasafiki ukuzoletha ukudla kwengane.

“Unina wengane ngamgcina ngoDisemba ezongilethela imali nezinto zengane, emuva kwalokho angibange ngisamthola. NgoJanuwari besilokhu sikhuluma ngocingo, ethumela nokudla kwezingane. Wakhala ngokuthi akanayo imali ngakho wangangiholela. Angizange ngibe nenkinga ngoba ngazitshela ukuthi uzobuye anginikeze imali. Kuthe sekushaya uFebhuwari kwacaca ukuthi akasabuyi nakwiselula ngingasamtholi,” kulandisa uNkk Sengane.

Uthe waqala ehamba emfuna lo wesifazane lapho ahlala khona wafica kukhala ibhungezi.

“Ubeqashile lapho kade ehlala khona, bathi uphume ngesamagundane noyise wengane bebalekela amaphoyisa ngoba esolwa ngokweba izimbuzi. Ngaya nasemsebenzini bafika bangitshela okufanayo. Manje ingane isele ngakumina,” kusho yena.

UNkk Sengane ukhale ngokuthi ingane akazange ayishiye nesitifiketi sokuzalwa nokwenza kube nzima ukubhalisela isibonelelo sikahulumeni.

“Nginekhadi lokugoma ingane kuphela ngoba bengijwayele ukuyiyisa kudokotela. Isitifiketi sayo sokuzalwa anginaso. Angikwazi ukuyibhalisela isibonelelo sikahulumeni. Angisebenzi ngakho kunzima ukuthengela ingane ukudla,” kusho uNkk Sengane.

Uthe unezingane ezimbili zabafana eneminyaka engu-18 nenye eneminyaka engu-24.

“Angisebenzi nomyeni wami washona. Ngidinga imali ukuze ngondle le ngane ngoba sekungeyami. Angifuni ukuhlukana nayo ngoba senginesikhathi ngiyikhulisa. Ngiyile kwabezenhlalakahle bathi angizame ukuthola unina wengane. Nasemaphoyiseni ngiyile ukuyobika udaba kodwa bangalivula icala ngoba bathe vele uyathungathwa unina wengane,” kusho uNkk Sengane.

Uthe abomndeni wengane akabazi njengoba abazali bayo bebeqashile.

Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma livezile ukuthi owesifazane okuthiwa unina wale ngane ufunwa amaphoyisa ngecala lokuntshontsha imfuyo.

Kaliwesabi umthetho ibandla eliphenywayo

$
0
0

Ubizwe ngoSathane ozodukisa abantu uSihlalo weKhomishini eVikela Inkolo, Izilimi noMphakathi.

|||

ZANELE MTHETHWA

UBIZWE ngoSathane ozodukisa abantu uSihlalo weKhomishini eVikela Inkolo, Izilimi noMphakathi, ngesikhathi kuvele abebandla abazibiza ngezingelosi, abaphikisana noMthethosisekelo wakuleli.

UNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva, ubizwe kanjena ngoLwesibili ngesikhathi bephenya ibandla i-Angels Ministries, eholwa yizelamani eziyisikhombisa eNgcobo e-Eastern Cape. Leli bandla livele okokuqala phambi kwekhomishini emuva kokuthunyelelwa amasamanisi.

Ngenyanga edlule amaphoyisa nosonhlalakahle bashaqa izingane ezingu-21 ebese zihlale iminyaka kuleli bandla njengoba liphambene nemfundo. Isolezwe lithole ukuthi ezinsizweni eziyisikhombisa ezihola ibandla, ezimbili eziphakathi kweminyaka engu-18 no-20 azikaze zilubhade esikoleni.

Abaholi bebandla abakhulunyelwa nguMnuz Banele Mancoba, abethukanga kuphela uNkk Mkhwanazi-Xaluva kodwa bamangaze ikhomishini, bethi iqhawe lakuleli uDkt Nelson Mandela owayengume-ngameli wakuleli wadayisa ngezingane kuSathane.

Bathe kumanje izikole ziphethwe nguSathane futhi uMandela wayekwazi lokhu ngoba benza isivumelwano naye. Yize abeNelson Mandela Foundation bekuthathe njengomsangano okushiwo yibandla, ikhomishini ithe kumele baboshwe.

“Miningi kakhulu imithetho ephulwe yileli bandla futhi kumele ngabe kudala baboshwa abaholi balo. Sizofaka ingcindezi ukuze baboshwe ngoba bakhombise ukudelela uMthethosisekelo. Yingakho sizoziyela khona ukuyobona okwenzeka kuleli bandla,” kusho yena.

Uthe bathole ukuthi ibandla lasungulwa ngo-1985 kanti umsunguli walo, ozala amadodana asephethe, washona ngo-Ephreli wonyaka odlule.

Bangaphezu kuka-200 abazalwane abahlala esontweni. Kuthiwa sebadela imizi, abanye basula emsebenzini, badayisa imizi nezimoto. Kuvela ukuthi yonke imali bayinika abaholi bebandla futhi abazihlanganisi nezinto ezithinta imithetho yezwe.

UNkk Mkhwanazi-Xaluva uthe bebephatheke kabi ngezingane ezingafundi.

“Sibatshelile abaholi bebandla ukuthi uma behluleka ukulandela imithetho yezwe abahambe eNingizimu Afrika, babuyele ezulwini lapho bathi bavela khona. Uma siya kuleli bandla sizohamba namaphoyisa nosonhlalakahle siyokhuluma nenkosi nenduna ukuthi bathule bathini ngale ndaba,” usho kanje.

Emuva kwekhomishini uMancoba uthe ngeke basatshiswe ngoMthethosisekelo ngoba uNkulunkulu ungaphezu kwawo.

Isolezwe lithole ukuthi udaba seludluliselwe emaphoyiseni.

Uyise kaMeyiwa uphikisa isinqumo samaphoyisa

$
0
0

Uyise kaSenzo Meyiwa usola amaphoyisa ngokucasha ngesithupha ngesinqumo sawo sokuthi angabe esawazisa umphakathi ngokuthi kuqhubekani ngecala lokubulawa kwendodana yakhe.

|||

MLUNGISI GUMEDE

UYISE kalowo owayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa usola amaphoyisa ngokucasha ngesithupha ngesinqumo sawo sokuthi angabe esawazisa umphakathi ngokuthi kuqhubekani ngecala lokubulawa kwendodana yakhe.

Amaphoyisa asethathe isinqumo sokuthi angabe esakhuluma nabezindaba ngokuthi kuqhubekani ngecala lokubulawa kukaSenzo. Engxoxweni neSolezwe izolo, uMeyiwa uthe akahambisani nesinqumo samaphoyisa, wengeza ngokuthi lena yindlela yokubalekela ukuthi ahlulwa umsebenzi.

“Umphakathi uyadinga ukwazi ukuthi kuqhubekani ngecala. Abantu bahlale bengibuza ukuthi kwenzekani,” usho kanje.

Uthe amaphoyisa vele awenzi lutho njengoba sekuphele ngisho unyaka engabophi muntu. UMeyiwa uthe amaphoyisa agcine ukumthinta ngenyanga edlule emazisa ukuthi kuqhubekani ngecala.

UBrigadier Hangwani Mulaudzi okhulumela oKlebe neBamba likaKhomishana wamaPhoyisa kuleli uLieutenant General Kgomotso Phahlane utshele Isolezwe ukuthi bavumelane ngokuthi bangabe besakhuluma nabezindaba ngaleli cala kodwa konke okusha ngalo bakukhuluma nomndeni kamufi.

“Yize khona kunesasasa ngalolu daba umphakathi ufuna ukwazi ukuthi kuqhubekani kodwa sithathe isinqumo sokuthi konke okuqhubekayo ngophenyo sikutshele umndeni,” usho kanje.

Uthe bazowubikela ngendlela umphakathi uma kukhona ababona ukuthi udinga ukwaziswa kona.

UMulaudzi uthe ikhona imikhondo abayilandelayo mayelana naleli cala.

“Ithimba esilihlanganisile eliphenyayo lisebenza ubusuku nemini lizama ukuphothula leli cala. Miningi imikhondo esiphezu kwayo kodwa siyacela ukuthi ithimba lethu linikwe ithuba lisebenze ngaphandle kokuphaza-nyiswa,” usho kanje.

USenzo owayeyisilomo seqembu lesizwe lakuleli iBafana nePirates wadutshulwa washona ngesikhathi esekhaya lowayeyintombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGoli ngo-Okthoba 26, 2014. Sekuphele unyaka nezinyanga ezine uSenzo abulawa kodwa amaphoyisa awakabophi muntu mayelana ngokufa kwakhe. Kunesikhalo emphakathini ngokuthi kukhona okushaya amanzi njengoba kuhamba isikhathi amaphoyisa engabophi muntu.

Abayizwa eyokuphuma emgodini abangaholile

$
0
0

Abazimisele ngokugoba uphondo abasebenzi basemayini yamalahle iKeaton Energy, eHlobane.

|||

S’MANGELE ZUMA

ABAZIMISELE ngokugoba uphondo abasebenzi basemayini yamalahle iKeaton Energy, eHlobane, eVryheid abaqhinqe emgodini kusukela ngoMsombuluko ntambama, bekhala ngokuxoshwa isigubhukane ngaphandle kokukhokhelwa izinsuku asebezisebenzile.

Kuthiwa izolo abaphathi namaphoyisa sebephelelwe amaqhinga okubakhipha emgodini, baze baphoqeka ukuthi bacele abanye babasebenzi abangaphandle ukuthi bangene bayobancenga ukuthi baphume.

Kepha nalo lelo qhinga alisebenzanga njengoba kuthiwa batshele ozakwabo ukuthi bangamane baphume befile kunokuthi bangayitholi imali yabo.

Kunokuthi behlise umoya bavele bathukuthela kakhulu bashisa ibhande elide elithutha amalahle, liwasusa ngaphansi emgodini liwayise ngaphandle.

Omunye wabacelwe ukuthi baxoxisane nozakwabo abasemgodini, uthe imizamo yabo ivele yaphenduka umdlalo.

“Bavele babhoka ngolaka bathi asingabachitheli isikhathi. Bathe bazophuma uma imali yabo isisezandleni noma bazophuma befile. Isimo siyaqala siyashuba njengoba sebeshise naleli bhande elithutha amalahle. Bathe ayikho into abazoyikhuluma nathi bafuna imenenja yakwaNasonti. Amaphoyisa athe ngeke ayivumele imenenja ingene emgodini ngoba asabela ukuphepha kwayo. Athe aphuce omunye wabasebenzi isibhamu esisemthethweni kodwa abazi ukuthi bangaki abanye abaphethe izikhali,” kusho lo msebenzi.

Uthe umsindo ususwe wukuthi abaphathi benkontileka iNasonti bebatshele ukuthi inkampani iyavalwa ngenxa yokuthi bacwile ezikweletini.

“Abaphathi basitshele emehlweni ukuthi inkampani ayisenayo imali yokuqhuba umsebenzi. Bathe basezikweletini ezingaphezu kwamandla okwenza bangakwazi nokuholela abasebenzi. Siyabona ukuthi uma belandula kangaka akusizi ukuqhinqa emgodini,” kusho umsebenzi.

Uqhube wathi kubathobe izinhliziyo ukuzwa abaphathi babo bethi uma sekuqalwa ukuhluzwa kwezinto zenkampani ngabo abokuqala abazobakhokhela.

“Silimele kakhulu ngokuwa kwale nkampani njengoba kusho ukuthi abasebenzi abangu-200 sebezoduva ekhaya. Asethembe ukuthi bazokwenza ukuthembeka basikhokhele imali yethu,” kuqhuba lo msebenzi.

IChief Executive Officer yaseKeaton Energy, uNkk Mandy Glad, ithe kubaphatha kabi ukuqhinqa kwabasebenzi emgodini emayini yabo ngoba bona abahlangene nokungaholi kwabo.

“Ekuqaleni kukaFebhuwari abaphathi benkampani baveze ukuthi abasenamali yokuqhuba ibhizinisi. Babe sebeqoqa konke okungokwabo bahamba emayini. Lokhu kwenze ukuthi baxoshe abasebenzi ngaphandle kokubaholela. Isenzo sabo sisixakile ngoba thina besibakhokhela imali yabo iphelele nyanga zonke. Kukhona ithimba elizama ukuxoxisana nabasebenzi, sinethemba lokuthi bazophuma maduze.”

Omunye wabaphathi bakwaNasonti Mining onqabile ukudalula igama lakhe, uthe ngeke akwazi ukuphawula ngalolu daba futhi akaboni ukuthi kukhona kozakwabo ongaphawula.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Nqobile Gwala, uthe senyukile isibalo sabasebenzi abaqhinqe emgodini.

“NgoLwesibili bebewu-29 manje sebewu-89. Kuthiwa khona abahlanu abagcine bephumile kodwa abanye basangaphansi. Bashise i-conveyor belt esusa amalahle emayini iwayise ngaphandle. Amaphoyisa aqaphe isimo nonogada basebenze kanzima ukucisha lo mlilo obuzogcina usufake impilo yabasebenzi engcupheni ngoba leli bhande lisuka ngaphakathi emgodini.”

Uyagwetshwa usibali owabulala

$
0
0

Usibali owaqotha abasekhweni ngenhlamvu ngonyaka odlule kulindeleke ukuba agwetshwe.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

USIBALI owaqotha abasekhweni ngenhlamvu eMzinyathi, eNdwedwe ngonyaka odlule kulindeleke ukuba agwetshwe namhlanje ngemuva kokuvuma amacala okubulala nathi wayezama ukuzivikela ngesikhathi bemhlasela.

UMaster Sthembiso Ntuli uvume icala eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoMsombuluko lapho eveze khona ukuthi wayebhekene nezinkinga nengoduso yakhe uNksz Nonhlanhla Ndwandwe ngemuva kokuthola ukuthi wayeseqomile.

Encwadini yasenkantolo efungelwe, uthe kusukela ngo-2005 kuze kube uJulayi 2015 ubethandana noNonhlanhla. Uthe babe sebehlala ndawonye eNtuzuma, wabe esakha umuzi eMzinyathi bahamba bayohlala khona nengane yabo encane.

“Ubudlwelwano bethu abubanga buhle ngemuva kokuthola ukuthi uNonhlanhla ubesejola. Yize kunjalo ngazama ukulungisa izinto kodwa wangishiya nengane yethu encane wabuyela kubo. Wathi akukho osekungalungiseka ngobudlwelwano bethu. Kusukela lapho bekunokuxabana phakathi kwami noNonhlanhla sibanga izimpahla esazithenga sisahlala ndawonye. Besixoxisana nomndeni kaNonhlanhla ngezindaba zelobolo engase ngilikhokhile. Sasilinde ukuba nomhlangano ngesonto lokugcina ku-Okthoba,” kusho uNtuli.

Isigameko sokushona kukaNksz Nompumelelo Ndwandwe (45), Nkk Zandile Molefe (48) nomyeni wakhe uMnuz Siphokuhle Molefe (55) senzeka ngo-Okthoba 25 ngonyaka odlule.

UNtuli uvume amacala amathathu okubulala, amabili okuzama ukubulala nelokuphatha isibhamu esingekho emthethweni.

Ingoduso yakhe nomunye wesifazane ayezomshiya endleleni babekhona kulesi sigameko. Ingoduso yabaleka, yabe isicela imoto engayazi ukuba iyibalekise endaweni yesigameko. Omunye wesifazane owayecele ukugitsheliswa wacasha komunye umakhelwane.

UNtuli uthe ngelanga lesigameko wafica abathintekayo besemzini wakhe befuna ukuzothatha amakhethini nezinye izinto. “UNonhlanhla wayefuna ukuthatha amakhethini nokunye kwasendlini nganqaba ngoba ngangisalinde ukuba sikhulume nomndeni ngodaba lwezimpahla. Ngazama ukungena endlini kodwa uZandile wangivimba wathi kumele uNonhlanhla athathe izimpahla azifunayo kuqala. Ngatshela uNonhlanhla ukuba aphume endlini yami, ashiye nezinto ngoba imindeni ayikakhulumi. Lapho laba besifazane base beqala bengihlukumeza ngamazwi futhi bengibamba, babengihlasela. Ngacasuka, ngangena endlini ngathatha isibhamu ngaqala ngadubula abesifazane abathathu. Ngaphuma endlini, babaleka abanye. Ngaqhubeka ngabadubula. UZandile waya kamakhelwane ngamlandela ngafike ngambulala khona,” kusho uNtuli.

Eqhubeka kule ncwadi echaza konke okwenzeka, uthe ngesikhathi ebuyela emzini wakhe wabona umnyango wemoto kaMnuz Molefe uvuliwe, wazitshela ukuthi uzomhlasela wabe esedubula ebhekise ngakuyena.

Uthe uyawavuma amacala futhi uyazisola ngakwenzile ngoba wayediniwe ngemuva kokuhlaselwa abesifazane emzini wakhe.

UNksz Zuziwa Ndwandwe okhulumela umndeni, uthe bajabule ukuthi uNtuli ugcine elivumile icala yize kukhona lapho eqamba khona amanga.

“Kuyathokozisa ukuthi usezokwazi ukuthola isigwebo ngoba kade sihamba icala efuna nebheyili ekubeni abulala abantu kubuka izwe lonke. Esikufunayo njengomndeni ukuthi agwetshwe udilikajele ukuze sizobhodla ngakwenza ebulala ngesihluku esingaka,” kusho uNksz Ndwandwe.


Babambe udonga belinde abaholi

$
0
0

Uyaveva umphakathi waseFolweni ngemuva kokuthi abaholi be-ANC eThekwini behlehlise umhlangano abebezoba nabo ngomzuzu wokugcina.

|||

S'MANGELE ZUMA

UYAVEVA umphakathi waseFolweni ngemuva kokuthi abaholi be-ANC eThekwini behlehlise umhlangano abebezoba nabo ngomzuzu wokugcina izolo.

Amalungu omphakathi abegcwele ihholo ahlulekile wukufihla intukuthelo yawo ngesikhathi abaholi babo bebatshela ukuthi ngeke usaba khona umhlangano abebewubheke ngabomvu kepha usuhlehliselwe inamuhla.

Kulo mhlangano bekulindeleke ukuthi bethule izikhalo zabo eziholele ekutheni bangenele umbhikisho onodlame kwaze kwama ezokuthutha ngeledlule. Bathe abajiki ekutheni abamfuni uNobhala wegatsha le-ANC uMnuz Thokozani Xulu oqokelwe ukuthi angenele ukhetho lokuba yikhansela endaweni.

Yize zingafikanga izikhulu ze-ANC kepha umhlangano uqhubekile lapho bebesho ngo-elethu ukuthi ngeke bakubhalisele ukuvota ngempelasonto uma udaba lukaXulu lungalungiswa. Omunye wabaholi bomphakathi ongathandanga ukudalulwa uthe baphoxekile ukuzwa ukuthi abaholi abebekade bebalindele sebezofika namuhla.

“Basitshele ngomzuzu wokugcina ukuthi abasezi umphakathi usuqalile ukutheleka ehholo. Kudingeke ukuthi sinxuse umphakathi ukuthi wehlise umoya.

“Abanye bathe mhlawumbe yiqhinga le-ANC lokudembesela kuze kudlule ukubhaliselwa ukuvota,” kusho umholi.

Uthe abazi noma abaholi abahlehlise umhlangano bayesaba yini ukuzobhekana nolaka lomphakathi.

“Kanti ayikho into abebezokwenziwa yona. Umphakathi ufuna balungise leli phutha abalenza lokuqoka uXulu ngaphandle kovo lwawo.

“Siyethemba ukuthi bazofika ngoba uma bengafiki kusazoshuba la eFolweni. Ngesonto eledlule kuze kwasha amahhovisi ekhansela nogandaganda. Asifuni kube nomunye umonakalo,” kuqhuba umholi.

Elinye lamalungu omphakathi lithe kabaneme neze ngokuthi badele izinto zabo emakhaya bethi baphuthuma umhlangano kodwa abaholi bangafiki.

“Bayasidelela laba bantu, basichithele isikhathi sethu. Asisizwa nakahle isizathu sokuthi abezi ngoba bebenomhlangano odonse kwaze kwaba yisebusuku. Mina ngibona sengathi bayabaleka. Nakusasa (namhlanje) sizobe sila sizozwa kahle ukuthi bazolulungisa kanjani udaba lukaXulu. Asimfuni endaweni yethu abamthathe bamyise kwenye indawo,” kusho leli lungu.

UNobhala we-ANC eThekwini uMnuz Bheki Ntuli unqabile ukuchaza ukuthi kungani bewuhlehlisile umhlangano kepha uqinisekisile ukuthi noma yikanjani bazobe beseFolweni namhlanje.

“Sixoxile nabaholi begatsha le-ANC laseFolweni ngokuthi umhlangano usuzoba kusasa (NgoLwesihlanu). Sizobe sihamba noMkhandlu weTheku. Sesimemezelile ukuthi kusasa sizobe siseFolweni, umphakathi awukhululeke sizofika,” kusho uNtuli.

Bathi uxoshelwe ubuvila uSotswebhu we-ANC

$
0
0

Sekuvela ukuthi ubeyivila obenguSotswebhu we-ANC, ehluleka ngisho ukuya emihlanganweni yekhokhasi ukuze aqonde ngezinto ezenzekayo.

|||

CELANI SIKHAKHANE

SEKUVELA ukuthi ubeyivila obenguSotswebhu we-ANC, ehluleka ngisho ukuya emihlanganweni yekhokhasi ukuze aqonde ngezinto ezenzekayo, nokudale ukuthi aphoqwe ukuba esule esikhundleni sakhe.

UMnuz Stone Phumelele Sizani (osesithombeni), kuthiwa ukusabalala kwezindaba zokusula kwakhe kubasebenzi ababesehhovisi lakhe akuzange kubenzima ngoba abanye bathe akukho abazomkhumbula ngakho.

“Ubehlale engekho emsebenzini futhi ehluleka ukumelana nezimo ezinzima ePhalamende, ngoba bekuthi uma kubekhona iphutha elibekhona agxeke uSomlomo noma amalungu ekhokhasi yakhe. Ukukhuluma iqiniso nje akukho esizomkhumbula ngakho ngoba ubengenawo umdlandla wokusebenza uma umqhathanisa nobaba uMathole Motshekga,” kusho omunye wabasebenzi behhovisi likaSizani.

Amalungu e-ANC asePhalamende akhulume neSolezwe aveze ukuthi kade ezama ukufuna ukwesula esikhundleni kusukela kwaqubuka indaba yamacala omkakhe, uNkk Portia Sizani, owayesolwa ngokukhwabanisa imali yoMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape engu-R1.2 million.

“Uke wazama ukusula ngaleso sikhathi samacala omkakhe. Nokho bekunzima ukusebenza naye ngoba ubehlale kwesinye isikhathi engazi ukuthi njengamalungu ekhokhasi sizokhulumani ePhalamende. Lokhu bekwenzeka ngenxa yokuthi ubehlale engekho kodwa zonke izinto ethumela ngoba ubehlushwa ubuvila,” kusho ilungu lePhalamede elingafunanga ukunaba ngokuningi.

Abanye abathintiwe bebethi akukho abazokusho kodwa babone sebebizwa emhlanganweni wekhokhasi babikelwa ngokuthi uSizani usesulile esikhundleni, kodwa uzojutshwa kwesinye isikhundla sokuba yinxusa.

USizani akaqali ukuba angaliqedi ihlandla lakhe esikhundleni njengoba ngo-2002 abhekana nobunzima ngesikhathi esengungqongqoshe e-Eastern Cape, ngesikhathi kwakuxoshwa abaholi ababesolwa ngokuzwelana noMengameli Jacob Zuma.

Ngaphandle kwalokho kube nezinsolo zokuthi indlela abehlulwa ngayo umsebenzi ubengakwazi nokulawula amalungu ekhokhasi yakhe, kangangokuthi kukhona abegcina esefuna ukuvumelana ne-DA ukuba avotele ukukhipha uZuma.

Ungene kulesi sikhundla elandela uMnuz Mathole Motshekga ngoJuni 2013, naye okwathi uma ekhishwa esikhundleni kwabanamahlebezi okuthi i-ANC ibingaseneme ngaye ngoba ehlulwa ukuvikela uZuma emaqenjini aphikisayo.

Limthinta Isolezwe izolo uSizani uthe ucela yonke imibuzo mayelana naye iqondiswe kuNobhala-Jikelele uMnuz Gwede Mantashe.

UMantashe ethintwa uthe akulona iqiniso ukuthi bebengagculisekile ngomsebenzi kaSizani.

Esinye isidumbu esimobeni saseDalton

$
0
0

Kungakapholi maseko kutholakale isidumbu sowesifazane ezimobeni zaseDalton.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

KUNGAKAPHOLI maseko kutholakale isidumbu sowesifazane ezimobeni zaseDalton, sekuphinde kwavundululwa esinye sowesilisa oneminyaka engu-44 ebese sonakele, eduze kwale ndawo.

Amaphoyisa aseWartburg avule icala lokubulala kulandela ukuvundulula lesi sidumbu ebesifihlwe emobeni kwelinye lamapulazi aKwaSwayimane ngakhona eDalton ngoLwesithathu.

Ngesikhathi sokushicilela bekusafunwa umndeni wakhe njengoba kudingeka kwenziwe ulibofuzo ukuqinisekisa ukuthi ungubani.

Kwenzeka lokhu nje bese kuphele izinsuku ezine amaphoyisa ethungatha isidumbu sikaNksz Sithabile Mkhasibe (27), owaduka ngemuva kokuthi yena nesoka lakhe beshayiswe yimoto yangama, yabahudula.

UNksz Mkhasibe, nesoka lakhe uMnuz Xolani Nxele (32), abebengonjiniyela, kuthiwa babezivocavoca emgwaqeni begijima ngoMgqibelo ntambama ngesikhathi beshayiswa yiHonda Ballade, okuvela ukuthi umshayeli wayo uMnuz Mcabango Hlongwa, wayedle amponjwana.

Uze watholwa ngoLwesibili umzimba kaNksz Mkhasibe, ufihlwe emobeni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukutholwa kwesidumbu sowesilisa esimobeni kule ndawo.

“NgoMashi 2 amaphoyisa aseWartburg athole isidumbu sowesilisa oneminyaka engu-44 sifakwe emobeni. Isidumbu sakhe besinamanxeba amaningi okugwazwa ekhanda. Imbangela yokubulawa kwakhe ayaziwa. Kuvulwe icala lokubulawa komuntu esiteshini saseWartburg. Uphenyo luyaqhubeka. Akekho osaboshiwe,” kusho uZwane.

Isolezwe lithole ukuthi umufi kunezinsolo zokuthi uvela kwesinye isifundazwe, wayekade ethenjiswe umsebenzi ngaseDalton njengoba etholakale esebulewe.

Isolezwe liphinde lahosha umoya wokuthi abantu bakule ndawo sebehlalela ovalweni njengoba zibukeka zanda izigameko zokuvundululwa kwezidumbu zabantu emobeni.

Umthombo weSolezwe, ongathandanga ukudalulwa, uthe kunzima nokucela o-lift njengoba isimo sesishubile.

“Siphila ngokucela o-lift kule ndawo ukuze sifike edolobheni njengoba kuyizindawo zasemapulazini. Kunzima ngoba asazi noma laba abantu abatholwa emobeni basuke bebulawe kanjani. Kusiphatha kabi impela ukutholwa kwalezi zidumbu ezimbili kule ndawo, asiphephile impela,” kusho umthombo.

Esigamekweni sezithandani ezashayiswa yimoto, uHlongwa uvelile eNkantolo yeMantshi yaseMshwathi, icala lakhe lahlehliselwa uMsombuluko ukuze afake isicelo sebheyili.

Ubhekene namacala amabili okubulala ngokungenhloso, ukushayela ephuzile nokungami endaweni yesehlakalo.

Usagcinwe ezitokisini.

Uqulekile omunye wabasebenzi abaqhinqile

$
0
0

Uphuthunyiswe esibhedlela ekuseni omunye wabasebenzi basemayini yamalahle iKeaton Energy, eHlobane, eVryheid ngemuva kokuquleka.

|||

S’MANGELE ZUMA

UPHUTHUNYISWE esibhedlela izolo ekuseni omunye wabasebenzi basemayini yamalahle iKeaton Energy, eHlobane, eVryheid ngemuva kokuquleka.

Lokhu kulandela ukuthi yena nozakwabo beqhinqe emgodini wale mayini kusukela ngoMsombuluko ntambama bekhala ngokuxoshwa isigubhukane ngaphandle kokukhokhelwa izinsuku asebezisebenzile.

Lo mlisa abangathandanga ukudalula igama lakhe kuthiwa unesifo sikashukela, okwenze kwaba nzima kuyena ukuhlala endaweni evalelekile ngaphandle kokudla namanzi.

Omunye wabasebenzi uthe lo mlisa uphume emgodini ngoLwesithathu ntambama ngemuva kokuhilwa yintuthu njengoba ozakwabo beshise amathayi nebhande elithutha amalahle.

“Ucele ukuphuma ngoba ebona ephelelwa ngamandla futhi esehluleka ukuphefumula. Uvuke ekuseni namhlanje (Lwesine) waphuthuma emtholampilo. Uthe efika emtholampilo wavele waquleka. Babe sebemphuthumisa esibhedlela. Okwamanje asikezwa ukuthi isimo sakhe sinjani esibhedlela. Esikutholile wukuthi vele ungumuntu ophathwa ngushukela kepha ngenxa yokwazi usizi lwakhe udele impilo yakhe waqhinqa emgodini,” kusho umsebenzi.

Kushaye isikhathi sokushicilela singakacaci isimo akuso lo msebenzi ophuthunyiswe esibhedlela.

Uthe silokhu senyukile isibalo sabasebenzi abaqhinqe emgodini njengoba kunabanye abalinganiselwa eshumini abangenile izolo.

“Sebeya ku-100 abasebenzi abaqhinqe emgodini. Nami ngingomunye obone kungcono ukuthi angene. Asikaze sibabone abaphathi namhlanje, sibagcine izolo (Lwesithathu) bethembisa ukusikhokhela lezinsuku esazisebenza nalezi esizihleli emgodini. Abaphathi bemayini bakhombise ukuzwelana nathi bathi bazosiqasha uma kuqala umsebenzi ngoMeyi. Inkontileka ebesiyisebenzela iNasonti Mining ayisayingeni indaba yethu, ulibele umile ezwini lokuthi bacwile ezikweletini,” kuqhuba lo msebenzi. Bathe abazimisele ukuphuma emgodini bengakayitholi imali yabo.

Isikhulu esiphezulu saseKeaton Energy, uNkk Mandy Glad, sithe abazange bawuthole umbiko wokuthi kukhona umsebenzi ophuthunyiswe esibhedlela.

“Angikholwa ukuthi yiqiniso ukuthi kunomsebenzi osesibhedlela. Kuyimanje abasebenzi bangaphandle komgodi bayatoyitoya. Izolo (ngoLwesithathu) ngesikhathi beshisa sibize abezimo eziphuthumayo nezicishamlilo ukuze bezokwazi ukubasiza. NgoLwesibili sathola incwadi yasenkantolo esigunyazayo ukuthi sibakhiphe kodwa angifunanga ukuyisebenzisa ngoba lokho kungabalahlekisela ngamathuba omsebenzi. Inkontilela entsha esizosebenzisana nayo ithembisile ukuthi izoqasha abantu abangu-90 uma kuqala umsebenzi ngoMeyi bathe bazophinde baqashe abangu-30 ngoJuni. Bakugcizelelile kodwa ukuthi ngeke babaqashe abantu abatholwe benecala lokubhikisha ngokungemthetho,” kusho uNkk Glad.

Uthe isifiso sabo wukuthi le nkinga ixazululwe ngokuthula nokuthi labasebenzi bagcine bebuyelile emsebenzini.

Ukuzama ukuthola ukuphawula kweNasonti akuphumelelanga njengoba omunye wabaphathi bale nkampani ephinde wanqaba ukuphawula futhi wanqaba nokhipha izinombolo zomunye umphathi ongaphawula.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa asakhona emayini ukuqapha isimo.

Sikhiphe izidumbu isidakamizwa

$
0
0

Umphakathi waseFannin, eClermont usashaqekile ngokushona kwababili okusolwa ukuthi babulawe yisidakamizwa abazithakele sona.

|||

ZANELE MTHETHWA

UMPHAKATHI waseFannin, eClermont usashaqekile ngokushona kwababili okusolwa ukuthi babulawe yisidakamizwa abazithakele sona, abasiphuze ngoMsombuluko kwasinda oyedwa osakhala ngokushisa esifubeni.

UNksz Naledi Ngcemu (18), ushone esemotweni ephuthunyiswa esibhedlela ebusuku ngoMsombuluko kwathi uMnuz Swelihle Ndlovu (41) washona engakathathwa.

Kuthiwa lesi sidakamizwa esibizwa ngesiwasho noma ubhememe, sithakwa ngezinto eziningi okukhona kuzo ushukela onsundu, ispirithi, isiphuzo esihlohlozayo netiye elimnyama.

UNdlovu okuthiwa uhlala KwaNgcolosi, ubevakashele ubabekazi kaNksz Ngcemu kwaphuzwa kwaze kwaba yisebusuku.

UMnuz Mandla Saqu oqashe eduze kwalapho bekuhlala khona uNksz Ngcemu, uthe wavuswa ngo-12 ebusuku ngoMsombuluko etshelwa ukuthi uNksz Ngcemu uxinwe wukugula.

“Sazama ukubiza i-ambulensi sabona kuhamba isikhathi ingafiki safuna imoto ezomhambisa. Ngaleso sikhathi wayesedlikiza kubonakala sengathi usezinhlungwini. Sayithola imoto yamhambisa esibhedlela, sathola umbiko ukuthi ushonele endleleni,” kuchaza uSaqu.

Uthe ngesikhathi kuphuthunyiswa umufi basala bebuza ukuthi kukhona yini abekudlile. Yilapho bethole khona ukuthi bebephuza lesi sidakamizwa.

UNdlovu okuthiwa wahanjiswa kuqala esibhedlela, bathole umbiko ngoLwesibili entathakusa ukuthi naye useshonile.

Isolezwe likhonjiswe ibhodlela elingenalutho lespirithi elingu-500ml okusolwa ukuthi bebethaka ngalo isidakamizwa nelinye eliwuhhafu.

Owesifazane osindile naye obephuza nabashonile wenqabile nemininingwane yakhe njengoba ethe wesaba abakubo.

Uvumile ukuthi wasiphuza isidakamizwa besiphuziswa nguNdlovu.

Kusukela ngoMsombuluko lo wesifazane ukhala ngokushisa kwesifuba kodwa akaze aye esibhedlela ngoba usaba ukuthi kuzovela iqiniso ngakuphuzile.

UNksz Slindile Xulu ohlobene noNksz Ngcemu uthe umufi wayeka isikole ngoba ehlushwa amathansela.

“Ubejwayele ukuphuza kodwa besingazi ukuthi usephuza nalesi sidakamizwa. Ngesikhathi ebuya endlini bekade bephuza emnyango wakhala ngokucobeka nekhanda, ethi asimelule wonke amalunga omzimba. Sabona kuqhubeka engasakwazi nokuhamba samphuthumisa esibhedlela,” usho kanje.

Amalungu omphakathi aficwe lapho kwenzeke khona isigameko abesakhungathekile, encenga owesifazane osindile ukuthi aye kudokotela.

Okhulumela ikomiti lomphakathi uMnuz Vusumuzi Zibi uthe baphoxekile ngokwenzekile.

“Sihlala sikhuza izidakamizwa ezinganeni ngenxa yobungozi bazo. Besiqala ukuzwa ngalesi futhi sizokwenza imihlangano ukuqwashisa umphakathi ngaso.”

UNksz Ngcemu noNdlovu okuthiwa bangomakhelwane eXobho, bazongcwatshwa khona kusasa.

UMajor Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa uthe ababikelwanga ngesigameko futhi bayaqala ukuzwa ngalesi sidakamizwa.

UDkt Bongani Nxumalo uthe ispirithi siyingozi ngoba siqukethe amakhemikhali awabiza ngamahlongandlebe, athe adlavaza zonke izitho zangaphakathi eziphethe impilo yomuntu.

“Umuntu akashoni ujuqu eqeda ukusiphuza kodwa sifika sidle umminzo, siye emathunjini silimaze nesibindi. Uyopha ngaphakathi igazi lijike libe yi-acid futhi kunzima ukukhuculula uphoyizeni odalwe yispirithi. Ukushona komuntu ophuze sona kuya ngokuthi simfice enaziphi izifo,” kusho yena.

Uthe osindile kumele asheshe aye esibhedlela ngoba umonakalo uyaqhubeka ngaphakathi.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>