Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Angiyi ndawo mina: Motshekga

$
0
0

Ungqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, onqunyelwe yinyunyana yothisha iSadtu ukuthi ashiye isikhundla, ushaya phansi ngonyawo uthi akayi ndawo.

|||

MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, onqunyelwe yinyunyana yothisha iSadtu ukuthi ashiye isikhundla, ushaya phansi ngonyawo uthi akayi ndawo.

UNkk Motshekga uthe kuyamdumaza okushiwo yiSadtu wathi kodwa ngeke ashiye.

Isigungu esiphezulu senyunyana sinqume ukuthi akashiye phansi umsebenzi ngoba usehlulekile wukulungisa izinkinga ezibhekene nomnyango.

Sisabise ngokuthi uma engazisuleli, sizonxusa amalungu ukuthi adube ukumaka izivivinyo zokuchibiyela umatric, lezo zamabanga aphansi, i-Annual National Assessments, nalezo zokuphela unyaka kwamatric.

ISadtu isabise nangokuthi izohlela uchungechunge lweziteleka ezizophazamisa ukufunda nokufundisa uma kungukuthi akashiyi.

Okhulumela uNkk Motshekga, uNkk Hope Mokgatlhe, uthe uNgqongqoshe ngeke aze ashiye isikhundla sakhe noma asule emsebenzini.

Ucacise ngesivumelwano sika-2011 iSadtu ekhala ngaso sokunyusa ngo-100% amaholo othisha ababemakela umatric, wathi kwaba nephutha ngesikhathi kufakwa imali ababezonyuselwa ngayo abasebenzi kodwa kwaxhunywana nezinyunyana.

“Kwaba nephutha izinyunyana zaziswa ngalokhu ngoba kwakuzomele iminyango yezifundazwe ikhokhe u-R700 million, imali eyayingekho ezinhlelweni. Izimenenja ezazithinteka ephutheni zathathelwa izinyathelo. Izinyunyana zamukela ukuthi kwaba nephutha,” kuqhuba uNksz Mokgatlhe.

Uthe ochungechungeni lwemihlangano ababanayo nezinyunyana ukubhunga indaba kaMqondisi Jikelele woMnyango, uMnuz Bobby Soobrayan, iSadtu ethi naye akaxoshwe, yazichitha iziphakamiso ukuze kuxazululwe le ndaba.

“UNgqongqoshe elandela umyalelo kaMengameli, ulinde umbiko wePublic Service Commission ephenya ngokuthengwa kwezincwadi ngaphambi kokuba athathe isinqumo ngoSoobrayan. Isinqumo uNgqongqoshe uzosithatha uma esethole umbiko futhi uzimisele ukuhlangana nenyunyana axoxe ngezinto eziphakamisayo,” kuphetha uNksz Mokgatlhe.

Enye yezinyunyana iNaptosa ithe ukuhoxiswa kwesivumelwano esasayinwa kuwukubukela phansi isithunzi somkhandlu wezingxoxo.

UMengameli wayo, uMnuz Basil Manuel, uthe ukuze kube nokuthula kwezemfundo kumele abasebenzi bakhokhelwe ngokwalesi sivumelwano ngoba sasayinwa emini kwabha.

UMengameli weCosas, uCollen Malatji, uthe bazohlangana babhunge ngale ndaba bese bekhipha isitatimende.

“Kodwa sasishilo ukuthi uma engasebenzi akahambe ngoba sifuna kulunge ezemfundo.”

UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, uthe leli yithuba lokuthi iSadtu ibeke umbono mayelana nezinye izinto okwanqunywa ngazo engqungqutheleni ye-ANC ngoDisemba nyakenye.


Uvalo kowoKhozi FM osongelwayo

$
0
0

Usethuka izanya umethuli wesimo semigwaqo emsakazweni uKhozi FM ngenxa yezinsongo azithola kubantu abathukutheliswa wukuthi njalo uma ethula isimo sezemigwaqo ubiza igama lomgwaqo owasusa umsindo eMlazi.

|||

CELANI SIKHAKHANE

USETHUKA izanya umethuli wesimo semigwaqo emsakazweni uKhozi FM ngenxa yezinsongo azithola kubantu abathukutheliswa wukuthi njalo uma ethula isimo sezemigwaqo ubiza igama lomgwaqo owasusa umsindo eMlazi uMangosuthu Highway ngegama elisha uGriffiths Mxenge ekubeni abantu bazi ukuthi igama alikashintshi.

UMnuz Ayanda Msweli oqale lo msebenzi ngesikhathi eseyiphoyisa lomgwaqo kumasipala waseThekwini, uthe lokhu sekumphoqe ukuthi kube nezindawo asesaba ukuya kuzo ngenxa yokusatshiswa, nabanye abantu sebeke bamfonela bemxwayisa.

“Empeleni lokhu sekuze kwangiphoqa ukuthi ngikucacise ngisho emoyeni ngoba impilo yami ngiyibona ingasaphephile ngenxa yokuthi laba bantu bacabanga ukuthi yimina engishintshe uMangosuthu Highway ngawubiza ngoMxenge. Ngikhuluma nje sekube nozakwethu abebengixwayisa ukuthi angiqaphele abantu baseMlazi ikakhulukazi ngoba yibo abavevayo ngalolu daba ababona sengathi ngivele ngazisusela ekhanda ngashintsha umgwaqo ekubeni konke ngikuthole ohlwini lwemigwaqo kamasipala weTheku,” kusho uMsweli.

Uthe ngokomyalelo abanikezwa wona kwaba wukuthi kuzomele uma bethola isimo semigwaqo baqinisekise ukuthi babiza amagama amasha bese besho namadala ukuze abantu bangadideki.

Uthe bayalelwa wumasipala ukuba bakwenze isikhathi esingangonyaka ukuze bakwazi ukuguqula imiqondo yabantu bawajwayele amagama amasha.

“Lo msebenzi sengiwenza ngokwesivumelwano enginaso noKhozi ngoba sengisulile emaphoyiseni manje ngizizwa ngisebenza kanzima ngoba kuba sengathi kukhona uhlangothi lwepolitiki engikulo ekubeni kungenjalo,” kusho uMsweli.

Lo mgwaqo oseMlazi kuke kwamiswa ukuguqulwa kwawo ngenxa yezingxoxo ebeziphakathi kwe-ANC ne-IFP ziholwa nguDkt Zweli Mkhize noMnuz Blessed Gwala kodwa akucacanga ukuthi zigcinephi.

UMsweli uthe lolu daba uyabona ukuthi ludinga amaqembu kube yiwo akhuluma nabalandeli bawo ngoba unovalo lokuthi uzogcina eselimala njengoba sekunezindawo asabayo manje ukuya kuzo njengaseMlazi.

UMasipala weTheku umemezele ukuthi lo mgwaqo usubizwa ngesishoshovu samalungelo abantu u-Advocate Griffiths Mxenge kodwa amabhodi awakasuswa ngoba asabiza uMangosuthu.

UMsweli usho kanjena nje omunye uzakwabo oqashwe emaphoyiseni omkhandlu weTheku, uNksz Nokulunga Zondi, owethula ezemigwaqo kuGagasi fm uvamise ukubiza lo mgwaqo ngoMangosuthu Highway.

UMnuz Mdu Nkosi we-IFP uthe abaningi bathukuthele ngesenzo sikaMsweli ngoba ulisingethe budedengu lolu daba ekubeni lubavusela iminjunju abantu be-IFP.

“Sekukaningi simuzwa uMsweli ekhuluma egigiyela umuzwe nje ukuthi unezinhloso zakhe uma esekhuluma ngalo mgwaqo. Uyakhohlwa ukuthi kwafa inqwaba yabe-IFP bebulawa ngoba besolwa ngokufa kukaMxenge kodwa okwathi ekugcineni kwavela ukuthi wabulawa ngamaphoyisa nawo lawo mabhunu azivumela ngokwawo. Ngakho uMsweli aseneme neze ngaye oKhozini ngoba uzama ukufunza abantu ngenkani ukuthi babize uMangosuthu ngoGriffiths Mxenge,” kusho uNkosi.

Uthe lolu daba alukaze luphothulwe yize uMasipala weTheku uvele waluhambela phambili futhi kuyaziwa ukuthi uButhelezi walwa kanjani evikela uMxenge ekutheni akwazi ukusebenza ngaphandle kokucindezelwa ngamaphoyisa.

Kwenzeka lokhu nje nomethuli wesimo sezitimela kulo msakazo, uMnuz Langalakhe Zwane, owaziwa ngelikaMangethe uke wathwala kanzima kubagibeli bezitimela bemsabisa ngoba bethi wenza ukuba bafike emsebenzini sekwedlule isikhathi.

Amafulethi aseyisidleke sewunga

$
0
0

ASsephenduke umhume wabaphangi amafulethi kahulumeni ayakhelwe abantu abahlala emijondolo yaseCato Crest, eThekwini, okuze kube yimanje awakahlali muntu.

|||

SIMPHIWE NGUBANE

ASEPHENDUKE umhume wabaphangi amafulethi kahulumeni ayakhelwe abantu abahlala emijondolo yaseCato Crest, eThekwini, okuze kube yimanje awakahlali muntu.

Lama fulethi angamakamelo amane aqedwe ukwakhiwa ngoJulayi wonyaka odlule, njengamanje alenga ingidi sekuze kwabulawa namawindi.

Umphakathi owakhelene nawo uthi asephenduke isidleke sabafana bewunga. Kwasuswa abantu ababehlala emijondolo ebisendaweni okwakhiwe kuyo amafulethi batshelwa ukuthi emva kwezinyanga ezintathu bayobe sebekhomba ngophakathi ezitezi kanti bashaywa ngemfe iphindiwe.

UMnuz Thokozani Buthelezi ungomunye wabantu abagudluzwa emijondolo yabo kwakhiwa amafulethi uthi kumanje bacuphe eduze komfula uMsimba River onephunga elibi ngenxa yokuthi abantu bazikhululela kuwona, kulahlwa nemfucuza.

Uthe kuguguleka imijondolo eduze kwalo mfula ekubeni benendawo yabo abasuswa kuyona bathenjiswa ukuthi bazofakwa emafulethini uma eseqediwe ukwakhiwa kodwa kuze kube yimanje abangenile kuwo abazi ukuthi kubambe kuphi.

“Siphithene amakhanda, impilo inzima ngoba abanye bethu basuka bayoqasha bezitshela ukuthi bazobuyiswa ngokushesha.

“Ikhansela alizihluphi ngokuzosibheka lisichazele ukuthi yini ebambile ekuthi sihlale emafulethini esakhelwe wona,” kubalisa uButhelezi.

Elinye ilungu lomphakathi elingathandanga negama lalo lithe kuyacaca ukuthi kuzogcina kufakwe abanye abantu kulezi zindlu.

Lithe ikhansela labatshela ukuthi libalethela intuthuko bazobuyiselwa emva kwezinyanga ezintathu kanti libashaya ngemfe iphindiwe.

Isolezwe lihabule ukuthi idla lubi inkohlakalo yokudayiswa kwezindlu zomxhaso kuleya ndawo. Umthombo waleli phephandaba uthe njengamanje kunabantu ababengahlali kuleya ndawo kodwa asebefakwe emafulethini nasezindlini zomxhaso ezakhiwayo amagama abo angaveli ohlwini lwabantu obekumele bahlomule ngezindlu.

Kuvele nokuthi abantu abebebhikisha ngoMsombuluko befuna ukudla ngodli umhlaba eMayville basuka kuleya ndawo babalekiswe wukuthi abazitholi izindlu abathenjiswa zona.

USihlalo wekomidi labahlali iCato Crest Residents Association, uMnuz Thembinkosi Qumbelo, uthe abantu bagcina sebengumtshingo ubethwa ngubani bedla imihlaba ngenxa yokususwa ezindaweni zabo bethenjiswe izindlu abangafakwa kuzona.

Uthe kunabantu abahlomule ngezindlu kuleya ndawo okungaziwa ukuthi baphumaphi abanye babo abahamba ngezimoto ezibelethe amasonto emhlane obona kahle ukuthi bangomacaphuna kusale.

“Ikhansela alizihlanganisi nabantu endaweni, lithi bayahlupha bakhononda njalo uma bebuza ngezindlu abazibhalisela. Simuncu isimo kule ndawo badonsa kanzima abantu,” kusho uQumbelo.

Ikhansela uNksz Zanele Ndzoyiya, lithe sekusezandleni zoMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ukuthi bafake abantu ngononina.

Uthe kwawa udonga lwewa eliseduze kwamafulethi ladala umonakalo.

“Okunye okwabambezela yisenzo sabantu abavuka umbhejazana baphahlaza amawindi ngamatshe ngenxa yokulinda isikhathi eside. Uma bengasizakali emakomidini abeze emahhovisi ami sizoxoxa.”

Lilele eziko kwabanenkinga yamakhadi

$
0
0

Abantu abahola imali yesibonelelo sikahulumeni bakhala ezimathonsi ngamakhadi amasha abathi awasebenzi.

|||

ZANELE MSOMI

ABANTU abahola imali yesibonelelo sikahulumeni bakhala ezimathonsi ngamakhadi amasha abathi awasebenzi. Abanye babo baqhinqe emahhovisi esikhungo sakwaSouth African Social Security Agency (Sassa) eThekwini ngoLwesithathu kwaze kwavalwa emahhovisi bengaholanga.

Bebemi izixongololo bewotha ubomvu bethi uhulumeni nezisebenzi zakwaSassa udlala ngabo. UMnyango wezoku-Thuthukiswa koMphakathi usanda kwethula amakhadi amasha okuhola.

Abanye kulaba bantu abebezohola amabombo bese bewabhekisa emakhaya bekhala nangokuthi bashiye emakhaya ikati lilele eziko ngoba sekuphele izinsuku begqigqa kodwa bengaholi.

UNksz Phelokazi Mzomba waseSydenham, eThekwini, uthe sekuwusuku lwesithathu ephindela ekhaya engazange awuthole umholo wakhe. Ubekhalelwa yingane abeyibelethe emhlane athe isifile yindlala ngoba bafike ngo-4 ekuseni.

Uveze ukuthi ubehola esikhungweni sangakubo kodwa emuva kokuthola ikhadi elisha wathunyelwa kulesi sikhungo.

“Ngifike la kwathiwa izithupha zami kazihambelani nalezi ezivela emshinini. Njalo ngiphindiswa emuva kuthiwe angibuye ngakusasa. Angisenayo ngisho imali yokugibela,” kuzikhalela yena.

Ubekhala esifanayo noNksz Nelisiwe Shinga othe usenezinyanga ezimbili engawazi umholo.

Uthe inkinga iqale emuva kokuba eshaye ikhadi elisha. “Uhulumeni kungcono asibuyisele ohlelweni lwamakhadi amadala ngoba kuyacaca ukuthi lawa nabo ayabehlula.

“Sebezame ngisho nalo ikhadi elidala kodwa alisebenzi,” kusho uNksz Shinga obesechiphiza wukuthukuthela. UNksz Nokuthula Zondi waseMayville uthe bese kungokwesithathu egqigqa kula mahhovisi. Lezi zakhamizi zikhala nangokuthi imishini ijama njalo kulesi sikhungo. Kuthiwa bekuyiso leso nasesikhungweni saseMpumalanga, eHammarsdale lapho kunabantu asebenezinyanga ezimbili bebuyiselwa emuva. UNkk Thembi Buthelezi ukhala nangobude bolayini ngenxa yomthamo wabantu abazobhalisa. Naye ubeyobhalisa umzukulu waze waphinda emuva engasizakalanga.

UMnuz Mbizeni Mdlalose oyiCommunications Manager kwaSassa uthe izolo ngoLwesine bathumele ithimba emahhovisi abo aseThekwini. Leli thimba lithole ukuthi kukhona abasebenzisa amakhadi asebhange esikhundleni sawakwaSassa uma beyohola. Uthe ibhange lidla imali okwenza igcine inganeli eyomholo.

Uveze ukuthi abanye bebehola impesheni esiphelelwe yisikhathi. Ukuqinisekisile ukuthi abangu-22 bagcine beholile izolo. Wethembise ukuyisukumela inkinga yaseHammarsdale.

Uhulumeni wethule amakhadi amasha ngaphansi kwenkampani yakwaCash Paymaster Services ngoJuni ngonyaka odlule ngenhloso yokuthuthukisa uhlelo lokuholela impesheni nokugwema inkohlakalo.

‘Ayisadlisi eyokuba yisoka lamanyala’

$
0
0

Ungqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi uthi ukuba yisoka lamanyala akuseyona indlela yokukhombisa ukuthi umuntu uyindoda emadodeni.

|||

LUNGI LANGA

UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi uthi ukuba yisoka lamanyala akuseyona indlela yokukhombisa ukuthi umuntu uyindoda emadodeni.

UMotsoaledi ukusho lokhu izolo ngesikhathi ethula uhlelo lokuqwashisa abafundi ngokwanda kwesifo sengculazi, iFirst Things First eMangosuthu University of Technology, eThekwini.

Uthe ngesikhathi esafundela ubudokotela abafana babegcwala emtholampilo wabafundi njalo ngeSonto beze ngezifo ezisulelana ngocansi.

“Ngaleso sikhathi kwakuze kuthiwe awusiyo indoda kahle uma ungatholakali emtholampilo ngenxa yalezi zifo. Inkinga esasibhekene nayo thina kwakuyi-Gonorrhea futhi yayilapheka ngoba sasinikwa i-penicillin. Manje inkinga abafundi ababhekene nayo inkulu kakhulu ngoba sebebhekene nesifo sengculazi,” kusho uDkt Motsoaledi.

Uthe ngo-2011 baqala uhlelo lokuhlola abafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme ngoba befuna ukuqikelela ukuthi kwehliswe amathuba okwanda kwalesi sifo ezikhungweni.

Uthe ngo-2011 bahlole abafundi abangu-22 000 emanyuvesi. Ngonyaka odlule bahlole abangaphezu kuka-67 000.

Kulo nyaka bazimisele ngokuhlola abafundi abangu- 100 000.

UMotsoaledi uthe ngesikhathi ekhuluma ngokuletha uhlelo lwezempilo ezikoleni baningi ababephikisana naye kodwa manje usethola abantu abamtshela ukuthi bafuna ukubona izingane zabo zihlolelwa leli gciwane.

“Abantu babefuna siyekele izingane zabo ziqhubeke nokungazi ukuthi zinalo noma azinalo yini igciwane. Babethi izingane zabo zizodideka uma zihlolelwa lesi sifo kutholakala ukuthi zinaso. Kodwa manje abantu bazongena kanjani ohlelweni lokuthola imishanguzo ethithibalisa igciwane (Antiretroviral Treatment) bengazazi ukuthi banalo?” kusho uMotsoaledi.

Ngaphandle kohlelo lwengculazi uthe bazimisele ngokugqugquzela abafundi ukuthi baqikelele baphila impilo enempilo ngokuhlolela ezinye izifo ezifana noshukela nomfutho wegazi.

Inhloko yohlelo lwengculazi ezikhungweni zemfundo ephakeme, uDkt Ramneek Ahluwalia, ithe ucwaningo lokuhlola abafundi nabasebenzi bezikhungo zemfundo ephakeme luveze ukuthi bangu-1.5% abasebenzi abafundisayo abanesifo sengculazi, abafundi bangu-3.4%, abasiza ehhovisi bangu-4.4%, abahlanzayo nabenza eminye imisebenzi bona bangu-12.2%.

Uthe ufisa sengathi abafundi bangakulalela okushiwo nguMotsoaledi ngokuhlolela igciwane lesandulela ngculazi.

“Kukaningi sibona abafundi bengena bephuma bezohlola betholakala benalesi sifo. Ngenhlanhla sinohlelo oluhle lokusebenzisana noMnyango wezempilo ngoba uma bethola ukuthi banaso sibadlulisela esikhungweni sezempilo ukuze bathole imishanguzo,” kusho uDkt Ahluwalia.

Izidumbu ezintathu zitholwe ziklajiwe

$
0
0

Bashaqekile abantu baseBhambayi, eNanda, emuva kokutholakala kwezidumbu ezintathu ebezigenciwe enkundleni yemidlalo izolo ekuseni.

|||

BAWINILE NGCOBO

BASHAQEKILE abantu baseBhambayi, eNanda, emuva kokutholakala kwezidumbu ezintathu ebezigenciwe enkundleni yemidlalo izolo ekuseni.

Izidumbu zamadoda amathathu kuthiwa zitholwe ngowesilisa obezongena ngopotsho enkundleni ezojima ekuseni wabe esehlaba umkhosi wabiza amalungu omphakathi namaphoyisa.

Isixuku sabantu bakule ndawo esizifikele mathupha ukuzobona lezi zidumbu besilandula sithi kabaziwa endaweni abantu ababulewe.

Ikhansela le ndawo, uMnuz Thulani Khunju, ozifikele mathupha naye uthe abafi kubukeka sengathi baqale batalajwa ngemvubu ngoba banemivimbo emhlane base beklajwa ekhanda nasemzimbeni.

“Akukho kodwa okukhombisa ukuthi babulawele kule ndawo abatholwe kuyo ngoba akukho gazi. Kubukeka sengathi balethwe la sebezolahlwa,” kusho uKhunju.

Uthe endaweni yakhe akukho abakuzwile obekuyisidumo ngoLwesithathu ebusuku.

“Ukube babulawe lapha endaweni ngabe kukhona esikuzwile ngoba amalungu ekomidi le ndawo asemphakathini ayashesha ukuzwa ngokwenzekayo bese engibikela,” kuchaza uKhunju.

Uthe bazolandela ukuthi kungabe laba bantu babulawe kuphi ngoba abantu abababonile bendawo bathe ababazi.

“Sizolekelela amaphoyisa ngomkhondo wokuthi ngabe laba babulawe la ngaphakathi noma kwenye indawo yini,” kusho uKhunju.

Uthe eBhambayi bese kuthulekile ngasebugebengwini yikho kubethusa ukutholakala kwezidumbu ezingaka.

UKhunju uthe basazocela kuMasipala ukuthi le ndawo engakulenkundla eyihlathi isetshenziswe noma ukwakha izindlu ngoba abantu basePhoenix bayakhala ngokuthi babanjwa inkunzi uma benqamula endleleni encane ehamba kule ndawo.

UNksz Girly Nzama, wasendaweni, uthe naye akekho amaziyo kulaba bantu abatholwe beshonile.

“Nami ngizwe ngomunye ekuseni ngase nginikela la. Sishaqekile ngoba ubugebengu sebungcono kakhulu eBhambayi, into esihlupha yizo lezi zidumbu ezitholwa zilahliwe kanje,” kusho uNksz Nzama.

Uthe le nto esiyenzeka ingcolisa igama le ndawo yabo.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Vincent Mdunge, uthe izidumbu zalaba besilisa zikhombisa ukuthi bahlaselwe belele.

“Amaphoyisa aphenya amacala amathathu okubulala. ayikaziwa imbangela yokubulawa kwabo kodwa uphenyo luyaqhubeka,” kusho uMdunge.

Akukaboshwa muntu.

Kutholakala lezi zidumbu nje, khona eNanda kusanda kutholwa esinye isidumbu enkundleni iJL Dube ngasoHlange sishaywe ngamatshe. Umufi uyaziwa ungowaseBhambayi kanti wayesolwa ngecala lokubulala. Ngokusho kwamaphoyisa aseNanda, okwamanje akukho okuhlanganisa udaba lwakhe nokutholakala kwalezi zidumbu ezintathu njengoba zona zingaziwa ngezikabani futhi ayikaziwa inhloso yokubulawa kwazo.

Abe-CPF batalabhe abafundi esikoleni

$
0
0

USihlalo weCommunity Policing Forum, eClermont, nethimba lakhe benze okuphambene nomthetho ngokugulukudela esikoleni, batalabha ngezimvubu abafundi abasolwa ngokubhema baphinde badayise iwunga nensangu.

|||

THEMBA NTSHINGILA

NAPHEZU kokuba amaphoyisa ehlala egqugquzela umphakathi ukuthi ubike kuwo izehlakalo zobugebengu kodwa uSihlalo weCommunity Policing Forum, eClermont, nethimba lakhe benze okuphambene nomthetho ngokugulukudela esikoleni baphazamisa ukufunda, batalabha ngezimvubu abafundi abasolwa ngokubhema baphinde badayise iwunga nensangu.

Lokhu kwenzeke esikoleni iMqhele High emuva kokuba kusolwe abafundi ngokugqugquzela ukubhenywa kwewunga emphakathini.

Usihlalo we CPF ozibize ngoMasoka obevevezela yintukuthelo ngenkathi ekhuluma neSolezwe, uzivumele ukuthi yena nethimba lakhe bahlasele kulesi sikole ngoLwesithathu bagulukudela emagumbini okufunda kuqhubeka izifundo banenebula ngezimvubu nangamapayipi abafundi ebebebasola ngokubhema insangu baphinde badayisele nabanye abafundi iwunga esikoleni.

Babalelwa ngaphezulu kwabangu-18 abafundi okuthiwa banenebulwe emhlane ngezimvubu kwasala imivimbo esabisayo, baphinde bashaywa nasemilenzeni ngamapayipi basala namanxeba asabekayo.

“Sisazoqhubeka nomkhankaso wethu. Sisazogxila kuso lesi sikole ngoba sifuna ukukhuculula yonke le nto eyenzeka khona,” kuchaza yena engeza ngokuthi igunya lokuhlasela ngalolu hlobo balithole kubazali bezingane ezifunda kulesi sikole emhlanganweni obungeSonto.

Uthe uma sebeqede ukukhuculula kulesi sikole bazokwenabela nakwezinye kule ndawo ezinenkinga efanayo.

Ngenkathi kwenzeka konke lokhu, abafundi abaxoxe naleli phephandaba bathi othisha nothishanhloko bebebukela sengathi kudlala ifilimu.

“Bebengena ikilasi ngalinye badonse labo babafundi abathi benza lo mkhuba. Bagcine sebesivalela ekilasini elilodwa lapho besishayele khona,” kusho laba bafundi bekhombisa ngemivimbo esemhlane namanxeba abesemlenzeni egxaza igazi.

Bathe emva kokuba ababashayayo sebezanelisile, babakhiphele emnyango bathi ababhushe utshani esikoleni. Kwenzeka konke lokhu nje bathi othisha bebebukela nezinye izingane kwaba sengathi kwenzeka into ejwayelekile.

Uthishanhloko akatholakalanga ukuba aphawule ngalolu daba. Kuthiwe usaphuthume emhlanganweni wenyunyana. Nocingo lwakhe belwamukela imilayezo kuphela angayiphendulanga.

Unogada obegade esangweni uthe ukholelwa wukuthi laba bantu bangene esayolanda amaphilisi akhe emtholampilo.

Akushilo kuyaphambana nokushiwo uMasoka ukuthi bangene kulesi sikole ngegunya labazali. Abazali okukhulunywe nabo kule ndawo bazihlangulile ekutheni yibona abanikeze igunya lokushaywa kwezingane zabo kulesi sikole. Ethintwa usihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnuz Thobani Mkhize, ucele ukuthi aphinde athintwe emva kwemizuzu emihlanu.

Esethintwa okwesibili ucingo ubeseluvalile. Akayiphendulanga imilayezo athunyelelwe yona kwiselula yakhe. Ikhansela, uMnuz Bongani Mpungose, uthe usezwile ngalolu daba, wathembisa ukuthi bazolulandela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uthe bezwile ngalesi sigameko, wathi kukhona icala eselivuliwe.

“Njengamaphoyisa sizoqala uphenyo bese beboshwa labo abazotholakala ukuthi bayathinteka kulesi sigameko,” kubeka uCaptain Zwane.

“Kuyadumuza ukuthi abantu abanjenge-CPF okumele ngabe yibona abavikela umphakathi ngokuthi babambe izigebengu zezenzo zalolu hlobo baziyise emaphoyiseni kodwa kutholakale ukuthi yibona abathinteka kuzona,” kusho okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN, uMnuz Muzi Mahlambi.

Uthe noma kunjalo akusho ukuthi bayahambisana nezenzo zokubhenywa nokudayiswa kwensangu newunga ezikoleni.

“UNgqongqoshe wezeMfundo, uMnuz Senzo Mchunu, uzohlangana nowezokuPhepha koMphakathi, uMnuz Willies Mchunu, babone ukuthi yini abangaqhamuka nayo ukulwa nalesi sihlava ezikoleni,” kuchaza uMnuz Mahlambi.

Abaqwayizi bakhala ngamaphoyisa

$
0
0

Sebencamela ngisho ukukhokhiswa intela abaqwayizi abasenkabeni yeTheku abathi sebekhathele wukugwaziswa ngamaphoyisa.

|||

LUNGI LANGA

SEBENCAMELA ngisho ukukhokhiswa intela abaqwayizi abasenkabeni yeTheku abathi sebekhathele wukugwaziswa ngamaphoyisa.

Abaqwayizi abasebenza emigwaqweni ehlukahlukene eThekwini bathi bakhathele ukugwaziswa ngamaphoyisa asesiteshini i-Durban Central.

Bathe bancamela ukukhokhiswa intela kuhulumeni kunokuthi badlale amaphoyisa afika nsuku zonke ezofuna imali abayithola kumakhasimende abo aphinde alale nabo.

Omunye wabo, ocele ukuba igama lakhe ligodlwe, uthe amaphoyisa abakhokhisa imali ukuze angababophi.

Uthe kufika iveni yamaphoyisa ifune u-R50 kumqwayizi ngamunye.

“Uma ungenayo imali bathi ngena lapho osebenzela khona uyiboleke ukuze ungaboshwa. Kokunye bafika basikhuthuze bathathe noma yimalini abayithola ngaleso sikhathi,” kusho umqwayizi.

Uthe amaphoyisa afika abatshele ukuthi awanayo imali kaphethiloli noma elinye lithi ingane yalo ayinalo ubisi.

Omunye uthe lokhu kwenziwa nangamaphoyisa esifazane.

“Ngesikhathi kuyi-Valentine elinye iphoyisa lesifazane lasikhiphisa o-R50 lase libuya seliphethe amaphenti lathi asiwathenge ashibhile. Lathenga amaphenti ngemali esiyisebenzela ukondla izingane zethu,” kusho umqwayizi.

NgoLwesihlanu abaqwayizi bamashele esiteshini samaphoyisa esisephoyinti bekhala ngempatho yamaphoyisa.

Bathe amaphoyisa abuye alale nabo abakhokhele ngayo le mali abasuke begwaze ngayo.

Ngokusho kwabaqwayizi kuneqoqo lamaphoyisa awaziwayo ngalo mkhuba.

“Okuxakayo wukuthi kuthiwa uma uboshelwa ukuqwayiza kufanele ubanjwe ukwenza noma kusuke kufanele izingubo ozigqokile zikhombise ukuthi uyakwenza. Kodwa uke uboshwe kungekho okukhombisa ukuthi uyaqwayiza,” kusho omunye.

UNksz Kholi Buthelezi, wenhlangano elwela amalungelo abaqwayizi, iSisonke, uthe lezi zigameko zokuhlukunyezwa ngamaphoyisa azigcini eThekwini kuphela.

“Nakwezinye izifundazwe sitshelwa into efanayo yokuthi abaqwayizi bayahlukunyezwa ngamaphoyisa. Okuzolamula lesi simo ngukwenza ukuqwayiza kube semthethweni,” kusho uNksz Buthelezi.

Omunye umqwayizi usole iphoyisa ngokumfutha ebuntwini bakhe nge-pepper spray.

Uthe iphoyisa lifike lizolanda imali yokugwaza langayithola.

“Ubuye ngakusasa wangifica ngihleli wathi ngenzani la. Ngokuhamba kwesikhathi ungifuthe nge-pepper spray esithweni sangasese wasilayisha evenini namanye amantombazane wase eyosilahla emathuneni angaseMorningside,” kusho umqwayizi.

Ucele ukuba igama lakhe lingadalulwa ngoba kubo abazi ukuthi wenza lo msebenzi. uthe iphoyisa limfuthe nge-pepper spray ngoba engalinikanga imali.

UNksz Buthelezi uthe bazolivulela icala iphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Vincent Mdunge, uthe bayaphikisana nalezi zinsongo.

Ukugcizelele ukuthi ukuqwayiza akukho emthethweni.

“Labo abenza lezi zinsongo abeze emaphoyiseni bazobika ukuze sizokwenza uphenyo. Asikaze sithole izikhalo ezifana nalezi,” kusho uMdunge.


Ingxabano esikoleni isuse impi yombango

$
0
0

Impi yezigodi ezine eNseleni esibuya isibili esikhathini esingaphansi kwezinyanga ezintathu neyenza abafundi bengalubhadi ezikoleni, iqutshulwe wumdlalo wokuntaza emoyeni beshaya ungqimphothwe.

|||

NQOBIZIZWE ZWANE

Ebika eNseleni

IMPI yezigodi ezine eNseleni esibuya isibili esikhathini esingaphansi kwezinyanga ezintathu neyenza abafundi bengalubhadi ezikoleni, iqutshulwe wumdlalo wokuntaza emoyeni beshaya ungqimphothwe.

Abafundi baseZibukweni Secondary, babanga indawo abashaya kuyo ungqimphothwe, abanye bathi ngeyabo kanjalo nalaba abanye.

Lo mbango womdlalo ushube waze wakapakela nasezigodini okuhlala kuzo laba bafundi, kuyimanje elinye ilungu lomphakathi kubonwa ngokusa kulona esibhedlela emva kokugwaza kanzima kule mpi.

Kulezi zigodi okukhohliswana ihlomile kuntshontshwana ngocelemba, imimese nangezibhamu.

Lokhu kuntshontshana kuthiwa kuhlobene nesigameko sakamuva sokudutshulwa kubulawe owesifazane ekwakhe, kanti ubepheka esikoleni iSinaye Primary.

Isolezwe lithole ukuthi umnyombo wale mpi yakamuva wumdlalo wokushaya ungqimphothe.

“Impi eqhatha lezi zigodi ihlezi isuka ezikoleni bese ikapakela emphakathini kusuke uthuthuva kushone abantu abangenacala. Eyokuqala impi eyadlula nenqwaba yemiphefumulo yasuswa wumbango wezintombi esikoleni iGwejobomvu (Secondary) njengoba lena ekhona isuke eZibukweni abafana abancane bebanga lo msangano wabo wokuntaza emoyeni,” kusho umthombo.

Uqhubeka uthe lezi zimpi zibaselwa kakhulu ngobhongoza abangasafundi okuyibona abaphehla udlame.

“Izingane eziya esikoleni ngokukhululeka ngezamantombazane, ezabafana zigudla amahlathi ngoba labo bhongoza bama esangweni bephethe yonke inhlobo yesikhali ongayicabanga.

“Labo bhongoza abacucuzi bamgwaza ngampela umfana noma bemdubule kuphele kanjalo. Ubhongoza wale nto (emgagula ngegama) wabulala umfana emini bebade, waphuma ejele kungakapheli ngisho izinsuku ezinhlanu. Usephinde wagwaza lo mfana osesibhedlela emdabula isisu ngommese,” kusho lo mthombo.

UKhanyisani Mthembu (17) owenza uGrade 7 kulesi sikole uthe akasalubeki nhlobo esikoleni selokhu kwasuka le ngxabano yendawo yokuntaza emoyeni.

“Saxabana nabafana bangaphesheya eBhejane sibanga indawo yokuntaza esikoleni. Emva kwalokho ntambama sabona ngabafana ababengaphezu kuka-12 besilinde esangweni besitshela ukuthi thina bafana baseZikhaleni sizobona ukuthi sifana nobani.

“Ngalelo langa sasindela othisha abasimpintshisa emotweni yabo sakwazi ukufika emakhaya. Njalo ekuseni bayasibuka ukuthi siyaya noma asiyi esikoleni. Uma singayi bayafika ebusuku bezosithungatha,” kusho uKhanyisani.

USakhile Shezi (17) uthe akazi ukuthi wagcina nini ukulala kubo selokhu kuqale lempi.

“Ukulala ekhaya kuyingozi enkulu ngoba u...(esho igama lomsolwa) negenge yakhe bayafika bezosithungatha ebusuku befuna ukusibulala. Uyabulala akanasikhathi futhi ugabe nangoyise oyinyanga, thina kuyacaca ukuthi siyasiyeka isikole sophila ngakho ukubaleka ngoba nothishanhloko wethu uyamsaba. Uma sebefikile usishiya kanjalo esabe ngisho ukubiza amaphoyisa, uyaziwa loya mfana, uyabulalana, kuphele kanjalo futhi,” kusho uSakhile.

Amalungu omphakathi akhulume neSolezwe akhale esifanayo ngomsolwa, eveza ukuthi nguye ubhongoza walezi zimpi.

Izinduna zakulezi zigodi zibukeka zihluleka ukubhula lo mlilo osubulale inqwaba yabantu, kuthiwa zagcina ukubhunga ngalolu daba ezinyangeni cishe ezinhlanu ezedlule.

Ithimba elajutshwa wuMnyango wezokuPhepha koMphakathi ukuba lizozama ukukhuculula lesi sihlava, kuthiwa lahamba langabheka emuva.

Induna yakule ndawo, uMnuz Gundu Mhlongo uthe bazoqhubeka nokuzama ukubhula lolu dlame.

“Baningi kakhulu abantu asebelimele kule nto. Sizobonisana nezinye izinduna ukuthi ikhambi yini, ngoba le nto iqhubekela phambili” kusho uMhlongo.

Okhulumela amaphoyisa kuleya ndawo, uCaptain Mbongeni Mdlalose uthe amaphoyisa amatasa nokuphenya amacala abikiwe kuleya ndawo ahlanganisa nawo athinta lezi zigameko.

“Icala lokubulawa kowesifazane amaphoyisa asaphenya kodwa akukaboshwa muntu. Okwamanje eNseleni asikabophi muntu kodwa ezinyangeni ezimbili ezedlule bakhona ababoshwa.

“Umphakathi sinxusa ukuba usazise, ayikho ingane okufanele ingayi esikoleni ngenxa yokuvinjwa umuntu.

Amaphoyisa azoqhubeka nokuzulazula kule ndawo khona ezoqapha isimo,” kuphetha uMdlalose.

Umsindo ngethuluzi lokusoka ‘elinenkinga’

$
0
0

Kusaqhubeka ukungavumelani phakathi koMnyango wezeMpilo nenhlangano elwela amalungelo abaphila negciwane lengculazi, iTAC ngokusetshenziswa kwethuluzi lokusoka elisolwa ngezinkinga.

|||

LUNGI LANGA

KUSAQHUBEKA ukungavumelani phakathi koMnyango wezeMpilo nenhlangano elwela amalungelo abaphila negciwane lengculazi, iTreatment Action Campaign (TAC) ngokusetshenziswa kwethuluzi lokusoka elisolwa ngezinkinga.

UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoaledi uthe ufuna iTAC ilethe abantu asebeke baba nezinkinga emuva kokusokwa ngethuluzi lokusoka, iTara Klamp.

“Sesacela ukuthi le nhlangano isilethele abantu asebeke baba nezinkinga emuva kokusokwa ngeTara Klamp kodwa namanje sisalindile akukho muntu oseke walethwa kithi. Kunalokhu sitshelwa ngabantu abathi bezwa ubuhlungu, akekho owathi ngeke bube khona ubuhlungu uma kusokwa,” kusho uMotsoaledi.

Uthe yena wabhalela isigungu sezempilo umhlaba wonke, iWorld Health Organisation (WHO) samtshela ukuthi kunezinhlobo ezingu-10 zeTara Klamp ezisetshenziswa umhlaba wonke ngakho kunganzima kuso ukuthi sisho ukuthi iyona yiphi engasetshenziselwa ukusoka okuphephile ngokwezempilo.

Uthe inhlangano engamele ukuphasisa imishanguzo esetshenziswa kuleli iMedicines Control Council (MCC) ayinayo imvume yokuhlola amathuluzi ezempilo.

Ngokusho kwakhe wonke amathuluzi asetshenziswa kwezempilo kuleli awagunyaziwe yilesi sigungu.

Uthe yingakho sebeqoke ukuqeda ngaso ukuze baqale esizokwazi ukugunyaza ukusetshenziswa kwamathuluzi ezempilo.

Uthe ngakho akakuvuni futhi akaphikisani nokusetshenziswa kwaleli thuluzi ngoba baningi abesilisa asebesoke ngalo KwaZulu-Natal.

UNksz Vuyiseka Dubula weTAC uthe akwenele ukuthi uNgqongqoshe nenhlangano iWHO bathi ngeke baphikisane noma bavumelane nokusetshenziswa kwaleli thuluzi elingahloliwe ukuthi liphephile yini.

“Ithuluzi kumele lihlolwe ukuze kubonakale ukuthi lisebenza ngendlela nokuthi liphephile yini. Iningi lamathuluzi asetshenziswa lapha eNingizimu Afrika aphasiswe yiWHO, naleli bekumele liphasiswe. Uma kwenziwa ucwaningo olufanelekile, luveza futhi ukuthi leli thuluzi liphephile nathi sizoyeka ukubanga umsindo ngalo,” kusho uNksz Dubula.

Ngonyaka odlule iTAC ibhalele uMvikeli woMphakathi u-Adv Thuli Madonsela icela ukuba aphenye ngokulethwa kwaleli thuluzi laseMalaysia kuleli.

Bakhala ngokuthi baningi abesilisa abavelelwa yizinkinga ebudodeni babo emuva kokusokwa ngalo.

Basola abanye abaholi bakulesi sifundazwe ngokuthi bahlomula ngokulethwa kwaleli thuluzi.

Baphinde baveza izithombe zabesilisa ababe nezinkinga emuva kokusokwa ngeTara Klamp.

UNksz Dubula uthe balinde ukuzwa kumvikeli womphakathi mayelana nophenyo ngokusetshenziswa kweTara Klamp.

Uthe bahambisa bonke ubufakazi abanabo mayelana nodaba lwayo futhi bayazi ukuthi uphenyo luyaqhubeka ngoba ihhovisi likaNgqongqoshe wezeMpilo lithunyelwe imibuzo mayelana nalolu daba.

UMotshoaledi uthe bazimisele ngokusebenzisa uhlelo lokusoka njengendlenye yemikhankaso yokulwa nokusabalala kwegciwane ingculazi.

Umndeni uzothathela owamaPhoyisa izinyathelo

$
0
0

Umndeni kaMacia usezinhlelweni wokuthathela izinyathelo zomthetho uNgqongqoshe wamaPhoyisa wakuleli, uMnuz Nathi Mthethwa.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

UMNDENI wowesilisa ongowokudabuka eMozambique igama lakhe elingundabamlonyeni kwazise usephenduke uphawu lwakamuva oluveza ubodlova, unya nobudedengu bamaphoyisa akuleli, usezinhlelweni wokuthathela izinyathelo zomthetho uNgqongqoshe wamaPhoyisa wakuleli, uMnuz Nathi Mthethwa.

Lokhu kuvezwe yinkampani yabameli balo mndeni izolo, iJurgens Bekker Attorneys.

“IJurgens Bekker Attorneys isithole umyalelo emndenini wakaMacia ukuthi ibamele futhi ibacebise ekutheni balandele imigudu efanele njengoba uzimisele ngokumangalela uNgqongqoshe wezamaPhoyisa ngendlela okufe ngayo uMnuz Emido Macia,” kusho uMnuz Andrew Boernar ongummeli kule nkampani.

Le nkampani ayikawafaki amaphepha enkantolo, iveze ukuthi isalinde ukuxhumana kahle nomndeni.

“Kusamele sithintane kahle no-mndeni bese sishaya izibalo sibone ukuthi mungakanani umonakalo odalwe yilesi sigameko,” kuchaza uBoernar.

Uthe le nkampani izimisele ngokuyithola eMnyangweni kaMthethwa imali yokumela umndeni wakaMacia, eveza ukuthi ngeke bathathe ngisho isenti lawo.

UMacia (27) ubengumshayeli wetekisi eGoli, owaqoshwa kwi-video eDaveyton ngo-Febhuwari 26, eboshwele ngemuva evenini yamaphoyisa ehlezi phansi ngezinqa etiyeleni, leli veni la maphoyisa limhudula nequlu labantu limile libuka lo mhlola lapho amaphoyisa engazibekile phansi.

Lesi senzo esithunaze isithunzi samaphoyisa sisuse elikhulu igidigidi saqubula nemibuzo ngesihluku samaphoyisa akuleli. Emva kwamahora uMacia watholakala eseshonile esitokisini. Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu sakhe iveze ukuthi ubulawe ngukulimala kanzima ekhanda, nasemzimbeni.

UMacia ungcwatshwe kwelakubo eMozambique ngoMgqibelo kanti sekuboshwe amaphoyisa ayisishiyagalolunye ngokushona kwakhe.

Bebesolwa ngokweba imfuyo ababulewe

$
0
0

Ziyaqina izinsolo zokuthi ebethinteka ezigamekweni zokwebiwa kwemfuyo amalungu omndeni wakwaMkhize eTshekeni, eMuden, aqothwe ngenhlamvu.

|||

MLUNGISI GUMEDE

ZIYAQINA izinsolo zokuthi ebethinteka ezigamekweni zokwebiwa kwemfuyo amalungu omndeni wakwaMkhize eTshekeni, eMuden, aqothwe ngenhlamvu ngabantu abebezenza amaphoyisa kwasala enkundleni ayisithupha entathakusa yangoMgqibelo.

Izinsolo esezisabalalise okomlilo wequbula endaweni ziqhamuka kumalungu omphakathi kodwa namaphoyisa asezwile ngazo.

Izolo ilungu lomphakathi elikhulume neSolezwe kule ndawo kodwa lacela ukuthi lingadalulwa ngoba lizibona lingaphephile, lithe bayasola ukuthi izinsizwa zakwaMkhize bezeba imfuyo ngoba besinyuka ngamandla isibalo sezinkomo zakhona.

“KwaMkhize bebenezinkomo ezincane kodwa ngendlela ezanda ngayo kuyathusa,” lisho kanje.

Okhulumela umndeni wakwaMkhize, uMnuz Zamo Myaka, uthe bayezwa ngalezi zinsolo, wengeza ngokuthi ngeke baze baphike noma bavume ngoba kungenzeka mhlawumbe ukuthi ukhona emndenini obethinteka ekwebiweni kwemfuyo.

“Kungenzeka mhlawumbe ukuthi emndenini ukhona oyedwa noma ababili abebethinteka ekwebiweni kwemfuyo kodwa angikholwa wukuthi nezingane zesikole nazo ezibulewe bezithinteka kulobo bugebengu,” kusho uMyaka.

Uthe likhona ilungu lomndeni elikhona kwabashonile elike lathathwa ngamaphoyisa eyoliphosa imibuzo ngazo izinsolo zokwebiwa kwemfuyo.

Izinsolo zokwebiwa kwemfuyo bese zibhebhethekise nezokuthi inhlangano okuthiwa ilwa nokwebiwa kwemfuyo eMsinga namaphethelo, iSikebhe, ingase ithinteka ekuqothweni kwalo mndeni.

Kuthiwa ukugasela kwamaphoyisa kulo muzi athatha izibhamu kuyasolisa.

Umholi weSikebhe ophinde abe nguSihlalo weKwaZulu-Natal Community Crime Prevention Association, uMnuz Tallman Zuma, usheshe wawachitha amahemuhemu okuthi yisandla seSikebhe esisoconge umndeni wakwaMkhize.

“Asikwazi ukuqagela ukuthi ngobani ababulele umndeni wakwaMkhize kodwa wona akhona amahemuhemu athi amalungu awo abethinteka ezigamekweni zokwebiwa kwemfuyo,” kusho uZuma.

Uthe amalungu omphakathi abatshela ukuthi abakwaMkhize bafike nenkomo eyodwa bezokwakha kodwa asebona sezigcwele izinkomo esibayeni.

Kuthiwa liphezulu izinga lokwebiwa kwemfuyo endaweni futhi maningi namacala abikwayo athinta izigameko zokuntshontshwa kwayo.

Endaweni engumakhelwane naseTshekeni, eMthaleni, ngonyaka odlule kuke kwenzeka isigameko esifanayo lapho kwaqothwa ngenhlamvu amalungu eSikebhe ayisikhombisa okwakuthiwa ayeyozama ukulanda imfuyo eyayebiwe ifihlwe eMahlaba.

UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, uthe isithanda ukubama emphinjeni indaba yezigebengu ezibulala abantu egameni lamaphoyisa.

“Izigameko seziziningi kanti zithunaza amaphoyisa. Ngilapha nje namhlanje ngesonto eledlule besingcwaba enye insizwa eMachunwini, eMbangweni, nayo ebulewe ngabantu abebezenza amaphoyisa,” kusho uMchunu.

Uthe iyabakhathaza indaba yokwebiwa kwemfuyo KwaZulu-Natal, wathembisa ukuthi uzohlangana nethimba elibhekelele ukwebiwa kwemfuyo ngenhloso yokuqinisa umkhankaso wokulwa nalo mkhuba.

Uthe ngenxa yokudlanga kwamacala okwebiwa kwemfuyo bavumelane noKhomishana wamaphoyisa esifundazweni, uMmamonnye Ngobeni, ukuthi kuzomele bayiqaphe ngeso lokhozi indawo yaseMzinyathi namaphethelo.

UMchunu uthe banethemba lokuthi ithimba abalijubile ukuthi liphenye leli cala lizobabamba maduze abathintekayo.

Abafana abathathu abasebancane abaneminyaka emithathu nemine nengu-17 basindile.

Omunye osindile yisihlobo uBongumusa Mkhize (35) othe nyawo ngibelethe ngesikhathi ezwa kuqhuma isibhamu.

Abesifazane okukhona kubo nesalukazi esineminyaka engu-90 basindile ngesikhathi kuhlaselwa.

Abashonile ngoMnuz Mngeni Mkhize (45), Mnuz Simphiwe Mkhize (32), Mnuz Mhlengi “Tonqo” Mkhize (38), Lungisani Mkhize (17), Sbusiso Mkhize (17) noSizwe Zondi (18).

UMhlengi Mkhize ukubulawe yena kuqala esegumbini elilodwa nomkakhe uNtombi Mkhize uke waboshwe emasontweni ambalwa edlule ngecala lesibhamu esingekhoe emthethweni.

Abasindile ngoBongani Mkhize (17), Phelelani Mkhize (4) Fika Mkhize (3).

Odado abasindile yizingane zikaMngeni.

Umndeni ubulele ngokwehlukana ngesikhathi kuhlasela amadoda amahlanu abehlome ngama AK 47.

UNtombi Mkhize utshele iSunday Tribune abantu ababangqongqozela bazibiza ngamaphayisa. “Bathi bangabantu bomthetho. Umyeni wami wathi “ngizonivulela”.

“Wayesazama ukalayitha ikhandlela, kodwa bamdubula.”

Bafuna ukuyiqeda eyokulala e-Unisa

$
0
0

Ingase ibe ngumlando indaba yokulala ngaphandle kubafundi abasuke bezobhalisa e-Unisa eThekwini ngoba befuna ukuba phambili kulayini uma kuvulwa.

|||

MHLENGI SHANGASE

INGASE ibe ngumlando indaba yokulala ngaphandle kubafundi abasuke bezobhalisa e-Unisa eThekwini ngoba befuna ukuba phambili kulayini uma kuvulwa. Ithimba elibhekele ukubhaliswa kwabo lizothula umbiko maduzane mayelana nokuthi singalungiswa kanjani lesi simo.

Abafundi baqhinqa ngaphandle ubusuku bonke befuna ukuba phambili uma kuvulwa babhalise kuqala. Abanye babanjelwa abanye olayini babakhokhele ukuze babe phambili.

UMqondisi walesi sikhungo KwaZulu-Natal, uMnuz Magnate Ntombela uthe maduzane leli thimba lizothula umbiko wokuthi isimo singenziwa ngcono kanjani ukuze iphele nya le nto yabafundi abalala ngaphandle minyaka yonke.

“Namanje angiqondi ukuthi kungani abafundi belala ngaphandle ubusuku bonke ukuze kuvulwe bephambili kulayini. Kunabafundi othola ukuthi basuka eMthatha kodwa likhona ihhovisi lethu khona abanye basuka koMkhuze bashiye ihhovisi eRichards Bay beze bezolala eThekwini ngoba befuna ukuba phambili,” kusho yena.

Uthe ufuna ukuyiqeda nya le nto ngoba akulungile ukuthi abantu balale ngaphandle zibe zikhona izindlela ezifana nokubhalisa usebenzisa i-internet.

Lesi sikhungo esinabafundi abababelwa ku-30 000 eThekwini kuphela, sivuselela nama-aircon kanti usuqalile umsebenzi odle u-R25 million wokufaka amasha kuleli bhilidi elineminyaka eyevile ku-20.

UNtombela uthe abafundi nabasebenzi bebebhekene nenkinga yokuthi ama-aircon abengasebenzi kahle ikakhulu emtapeni wolwazi nakwamanye amahhovisi.

“Umsebenzi wokuvuselelwa kwawo kabusha usuqalile kanti uzothatha izinyanga ezimbalwa. Ibhilidi lethu lidala kanti nabafundi bebethwala kanzima ngenxa yalesi simo. Indawo abahlala kuyona babe amaqoqo uma befunda nayo isizoba nomoya opholile njengoba nakhona bezowuthola.”

Uthe bamatasa basabheka nendaba yokulungisa amagumbi amakhompyutha kwandiswe nesibalo sawo hhayi eThekwini kuphela kodwa nakwezinye izindawo.

Omunye umfundi osemkhandlwini wabafundi, uMnuz Terence Dubazana, uthe bangathanda ukuthi abafundi bazanyelwe ama-ipad nama-laptop ukuze bafunde kalula ngoba naso isikhungo sibheke kakhulu ekutheni abafundi basebenzise ubuchwepheshe besimanje wathi bangasizakala kakhulu uma bezanyelwa lezi zinto.

“Uma sifuna ukugxila kakhulu ekufundeni sisebenzisa ubuchwepheshe besimanje kungakuhle ukuthi sibe nama-laptop nama-ipad. Lokho kuzokwenza ukuthi izinto eziningi sibe namandla okuzenza sikude singaze size eThekwini,” kusho uDubazana.

UNtombela uthe kungenye yezinto abayibhekayo abangayibukeli kude ukuthi abafundi bafunde besebenzisa ubuchwepheshe besimanje.

“Ziningi izinto ezibhekwayo njengokuthi uma umfundi esizwa ngemali yokufunda kumele kubhekwe ukuthi uma ilahleka i-laptop noma i-ipad izokhokhelwa ubani nokuthi umshwalense ukhokhwa yithina noma wumfundi yini. Okunye esikubhekayo wukuthi uma ilahleka kungenzeka yini ukuthi aphinde athole enye.”

Kume umsebenzi bekhala ngomphathi ‘opotozayo’

$
0
0

Kume ukusebenza esiteshini samaphoyisa kaMasipala, KwaMashu, izolo amaphoyisa ekhononda ngomphathi obekade emisiwe emsebenzini ngoba kuthiwa wathintathinta umsebenzi wesifazane isitho sakhe sangasese kodwa osebuyiselwe ngaphandle kokuqulwa kwecala.

|||

BAWINILE NGCOBO

KUME ukusebenza esiteshini samaphoyisa kaMasipala, KwaMashu, izolo amaphoyisa ekhononda ngomphathi obekade emisiwe emsebenzini ngoba kuthiwa wathintathinta umsebenzi wesifazane isitho sakhe sangasese kodwa osebuyiselwe ngaphandle kokuqulwa kwecala.

Amaphoyisa avale amasango kwama umsebenzi emuva kokuthola ukuthi umphathi, onguMqondisi, usebuyele emsebenzini zingakapheli kahle nezinyanga ezintathu abezimisiwe emuva kokuthi umsebenzi wesifazane emvulele icala lokumphathaphatha ebuntwini bakhe.

Usihlalo wenyunyana iSouth African Municipal Workers’ Union (SAMWU), uMnuz Lindani Sicwale, uthe umphathi umiswe emsebenzini ngoJanuwari kodwa bathukile sebezwa kuthiwa usemsebenzini zibe zingakapheli izinyanga ezintathu ayezimisiwe.

“Umsebenzi owahlukunyezwa wabika udaba ekupheleni kukaDisemba, umphathi wamiswa ngoJanuwari kodwa icala lakhe belingakaqulwa bese kuphuma isinqumo njengoba sesimbona emsebenzini,” kusho uSicwale.

Uthe kwalona icala beliphethwe ngu-constable ekubeni kuphenywa umuntu onguMqondisi.

“Sifuna icala lihlale liqulwe, kukhishwe isinqumo ngaphambi kokuthi abuyele emsebenzini,” kusho uSicwale.

Uthe akusikho okokuqala kwenzeka into enjena, yikho besisukumela.

“Kuke kwenzeka lapha eThekwini kwakhona umphathi osolwa ngento efanayo, naye wabonakala esetheleka emsebenzini emuva kokumiswa ngaphandle kokuthi kuqulwe icala,” kusho uSicwale.

Uthe kumele kulandelwe imithetho efanele uma umuntu kukhona asolwa ngakho. akungenzelelwa ngoba umuntu engumphathi.

Uthe benze konke okusemandleni ukuthi bahlangane neMenenja kaMasipala ngoba bona babika kuyo ukuze babike ngokungeneliseki kwabo ngalolu daba kodwa imizamo yabo yehlulekile.

Amaphoyisa, ehlangene nentsha nabesifazane be-ANC KwaMashu, baphinde alibangisa ekomkhulu lamaPhoyisa kaMasipala eThekwini lapho efike khona abhikisha ngaphandle bekhononda ngokubuyiswa komphathi.

USicwale ube esekhuluma nomunye umphathi wamaphoyisa obejutshwe ukuzolalela abebekhala ngakho, othe uzodlulisa umyalezo wabo.

USicwale uthe uma kuwukuthi akwenzeki lutho ngabakhala ngakho ngoLwesine bayobe begcwele ngaphandle kwamasango ekomkhulu lamaPhoyisa sebebaningi ngoba ngeke bavumele into enje ukuthi yenzeke.

Imizamo yokuthola okhulumela amaphoyisa kaMasipala waseThekwini ayiphumelelanga njengoba bengabuyelanga kuleli phephandaba izolo.

Babe neMinenhle kwaMkhize bewina icala

$
0
0

Uzonxeshezelwe ngo-R7.1 million umfana (10) owanqunywa umlenze ngenxa yobudedengu besibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial kanye nekliniki yaseMalukazi, ngaseMlazi, eminyakeni emihlanu edlule.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

UZONXESHEZELWE ngo-R7.1 million umfana (10) owanqunywa umlenze ngenxa yobudedengu besibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial kanye nekliniki yaseMalukazi, ngaseMlazi, eminyakeni emihlanu edlule.

Izolo abameli boMnyango wezeMpilo nabameli bakanina kaMinenhle Mkhize, uNksz Thokozani Mkhize, bavumelane ngokuthi akhokhelwe le mali ngenxa yobudedengu.

Icala alizange lisahlala nhlobo enkantolo yaseMgungundlovu njengoba bekulindelekile kodwa abameli bavele bavumelana ngaphandle kwenkantolo.

Umndeni wakwaMkhize ubufuna u-R11.1 million kodwa uMnyango wabeka etafuleni u-R6 million kodwa kwangavunyelwana ngawo. Ngokuhamba kosuku lwayizolo bagcine bevumelene ngo-R7.1 million.

Udaba lukaMinenhle ofunda uGrade 5, lwashicilelwa yiSolezwe ngo-2008. Lwalandelwa wukuthi umndeni wakhe uthole inkampani yabameli iFriedman & Associate okuyiyo esebenze leli cala iminyaka emihlanu.

Yize kunjalo uNksz Mkhize, ongasebenzi, uthe imali ngeke iwubuyise umlenze wengane yakhe futhi nempilo yayo ngeke iphinde ifane nasekuqaleni.

“Izinyembezi zami azisoze zasulwa. Abupheli ubuhlungu bokuthi ingane yami ngeke ikwazi ukuzigijimela ngonyawo lwayo. Ingane yami ayisafani nasekuqaleni. Ezinye izingane ziyayihleka esikoleni ngenxa yomlenze wokufakelwa, nomsebenzi wesikole awumuhle ngenxa yokungazethembi. Kuthathe isikhathi eside ngigqigqa le ndaba nami ngaze ngagula kodwa-ke kukhona ukujabula okuncane ukuthi manje usengathola noma yimuphi umlenze nonyawo aludingayo,” kusho uNksz Mkhize.

UMinenhle walimala eneminyaka emihlanu edlala esihlahleni. Unina wabe esemphuthumisa esibhedlela eMshiyeni ukuba ayolashwa. bamfaka umuthi kuphela bathi akaye ekhaya.

Ngakusasa uMinenhle wakhala ngokuqaqanjelwa yizinhlungu. unina wambuyisela esibhedlela kodwa bamjikisa ngoba bethi konke kuhamba kahle ngaphandle kokumhlola.

Waphinde wakhala ngezinhlungu, waphindiselwa okwesithathu. Nakulokhu wafika kodwa unesi wabajikisa wathi akukho abangakwenza nabo.

Umama wakhe wamphuthumisa emtholampilo nalapho wafika wajikiswa ngoba kuthiwa konke kuhamba kahle.

Ezinsukwini ezimbalwa uMinenhle waqala ukungabi namuzwa onyaweni nakwezinye izindawo zomlenze. Kwatholakala ukuthi igazi belingasahambi kahle.

Kwabe sekuphoqeleka ukuthi anqunywe ngezansi kwedolo.

Ummeli obewa evuka nalo mndeni, uMnuz Michael Friedman, uthe: “Umnyango ubuyithatha kancane le ndaba, ungayinakile nhlobo. Kuze kwaphela iminyaka emihlanu siyilungisa kodwa wona ungakhombisi ukuyisukumela. Nemali yonyawo abayithembisa engu-R179 000 abakaze bayikhokhe. Manje siyabonga ukuthi konke sekuphelile, umfana usengakwazi ukuqhubeka nempilo yakhe,” kusho uFriedman.

UNksz Mkhize ubonge kakhulu usizo aluthola kwiSolezwe nathe ngaphandle kwalo ngabe indaba yakhe ayizange ifike enkantolo ngenxa yokuntula imali nokungawazi umthetho.

“Ngibonga lona Isolezwe elabhala udaba ngase ngithola abangixhumanisa nabameli. Nommeli wami uFriedman angazi ngingamenzelani ngoba akaze angilahle ubelokhu ehamba nami,” kusho uNksz Mkhize.

Ukucacisile ukuthi impilo yabo ngeke ishintshe ngoba imali izongena esikhwameni sikaMinenhle ukuba alashwe aphinde athuthukise impilo yakhe.


Omnyama wokuqala ukuhola ikhokhasi ye-DA

$
0
0

Kuqopheke umlando emkhandlwini weTheku ngesikhathi kuqokwa umuntu omnyama okokuqala ukuthi abe ngumholi wekhokhasi ye-DA.

|||

SIZWE BLOSE

KUQOPHEKE umlando emkhandlwini weTheku ngesikhathi kuqokwa umuntu omnyama okokuqala ukuthi abe ngumholi wekhokhasi ye-DA.

UMnuz Zwakele Mncwango (34), odabuka KwaNongoma, uwine ukhetho lwe-DA obeluyizolo emkhandlwini. UMncwango ungene ngenxa yokukhishwa kukaMnuz Tex Collins okhishwe ngamakhansela eqembu lakhe ngevoti ngoba ethi awasabuthembi ubuholi bakhe.

UMncwango uthe ukuthokozela kakhulu ukuthenjwa kwakhe akutshengiswe ngamalungu ekhokhasi. “Umsebenzi engizoqala ngawo kuzokuba wukwandisa amalungu aleli qembu emalokishini. Lobu buholi obusha buzochitha isikhathi esiningi buhambela abantu. sizoba sincane esokuhlala emahhovisi. sizimisele ngokungagqami kakhulu emaphephandabeni ngaphansi kobuholi bami, sizoya kubantu nawo (amaphepha) kumele asithole sikubantu,” kusho uMncwango.

Uthe okubalulekile kuyena wukuthi ulikhulisa kanjani iqembu le-DA. Uthe uneqiniso lokuthi kusukela manje kuya phambili maningi amavoti abazowathola asuka emalokishini. “Ubuholi obebukhona phambilini bebukhuluma ngezinkinga zabantu kodwa bungayi kubona. Okubalulekile wukuthi sisebenze ngokubambisana,” kusho uMncwango.

Umthombo waleli phephandaba uveze ukuthi uMncwango uphumelele ngamavoti angu-26 kwathi awembangi yakhe, uMnuz Warwick Chapman, abangu-16. Ukubeke kwacaca ukuthi bazozuza kakhulu abantu abamnyama ngaphansi kobuholi bakhe.

Uveze ukuthi bazoyibheka kakhulu inkohlakalo esemkhandlwini weTheku njengoba kunabantu abathola amathenda bephindelela. Uthe indaba yezindlu okuthiwa zakhiwe kodwa uma kulandelwa kutholakale ukuthi kazakhiwanga bazoyibheka kakhulu.

Yize ekuthokozela ukuphumelela kwakhe kodwa uveze ukuthi simmangaze kakhulu isenzo sikaNksz Lindiwe Mazibuko ongumholi we-DA ephalamende sokuthumela umyalezo kumafoni amanye amalungu ukuthi aseke lowo abebanga naye, uMnuz Warwick Chapman, ogcine ekhala ngaphansi.

“Angikholwa wukuthi besikhona isidingo sokuthi agxambukele ezindabeni ezenzeka ezingeni lomkhandlu. Ubedlala ipolitiki enobungane ekhombisa ukungakhuli, abantu bayabazi ubuholi ababufunayo, okuhle wukuthi sebebukhethile,” kusho uMncwango othe akanankinga noMazibuko.

UMncwango ufike eThekwini ngo-1998 ezokwenza izifundo ze-Electrical Engineering eDUT, uthe esebenza wabe enza izifundo zeBusiness Administration. Uveze ukuthi izingqinamba abebhekana nazo emsebenzini zamenza wangena kwezepolitiki. Uthe ujoyine iDA eminyakeni engu-12 eyedlule. okwakumhlukumeza kakhulu wukuthi abantu abamnyama bakhululeke ngokwezepolitiki kodwa babopheke ngokwezomnotho. UMncwango akakaze abe yilungu lenye inhlangano ngaphandle kwe-DA.

Uthe uMnuz Albert Mangaqa Mncwango we-IFP unguyise omncane. Njengamanje wenza izifundo zeMasters kwiBusiness Administration.

Uthe akakashadelwa kodwa unaye umuntu athandana naye banezingane ezimbili.

Ingebhe ngababulewe ngesihluku

$
0
0

Usuhlalele ovalweni umphakathi waseMbo eHillcrest emva kokutholakala kwezidumbu ezimbili zabantu besifazane esigodini esifanayo.

|||

NQOBIZIZWE ZWANE

USUHLALELE ovalweni umphakathi waseMbo eHillcrest emva kokutholakala kwezidumbu ezimbili zabantu besifazane esigodini esifanayo.

Abantu kuthiwa bahamba bethuka izanya emva kokutholakala kwesidumbu sikaNkk Thandi Phakathi (50) nesikaNksz Isabel Mkhize (47) ngeSonto ekuseni emizini yabo bebulewe ngendlela ecishe ifane.

Abafi kuthiwa batholakale benqunu kuzo zombili lezi zigameko futhi kunezinkomba ezicacile zokuthi baqale badlwengulwa ngaphambi kokubulawa ngesihluku.

Ilungu lomndeni kaNkk Phakathi, uNksz Mabongi Phakathi, lithe unya olutshengiswe ababulali alikaze lilubone selokhu laba khona laveza nokuthi ngesikhathi senzeka lesi sigameko alizwanga ngisho ubugungqugungqu yize bebakhelene nomufi.

“Ngesikhathi ngifika ekuseni endlini kamamncane emva kokutshelwa omakhelwane ukuthi kukhona okushaya amanzi ngamfica enqunu elaliswe wabhekiswa phansi ngobuso. Noma ngangithukile ngazitshela ukuthi hleze ushaywe yinyoka kanti uphelile ukugwazwa nokushaywa. Bathi bangamphendula ngabona inxeba entanyeni, ethangeni kanye nengozi ekhanda. Angazi noma ayekhona yini amanye amanxeba ngoba igazi lase ligcwele ngendlela engachazeki,” kusho uNksz Phakathi.

Eqhubeka uthe umufi ubeseneminyaka ehlala yedwa. Kukhona owesilisa okuthiwa akaphilile kahle ekhanda obevame ukulala kwenye indlu eseceleni kwale abehlala kuyona.

“Angazi noma uyena yini owenze le nto eyenziswa wukugula kanti okunye akangitshelanga ukuthi umamncane usebulewe yize azi ukuthi siyizihlobo zegazi. Ukhethe ukuyotshela omakhelwane futhi okuxaka kakhulu wukuthi emva kokufika kwamaphoyisa uvele wagcwala izinkalo. Uma ezomfuna awasamtholi. Nami njengoba emini ngisala ngedwa nginovalo ngoba angiqondi ukuthi kwenzekeni kumufi,” kusho uNksz Phakathi.

Umasitende kaNksz Mkhize naye otholwe esefile emjondolo wakhe, uNkk Nosipho Mbambo uthe uzwe ngesikhathi eyokha amanzi ukuthi uNksz Mkhize udlwenguliwe wabulawa ngesihluku.

“Bekungangeneki endlini abekuyo ngendlela igazi ebeligcwele ngayo. Utholakale elele ebheke phezulu kucaca ukuthi udlwenguliwe enenkebenkebe yengozi ekhanda sengathi ushaywe ngesikhali esiyinsimbi okungenzeka ukuthi yimbazo,” kusho uNkk Mbambo.

Eqhubeka uthe akazwanga msindo kulo mjondolo eveza nokuthi akazi noma kudalwe wukuthi walala ephuze amaphilisi yini ngeSonto.

“Abanye bathi bamuzwa ekhala kodwa basaba ukuphuma ngenxa yovalo lokuthi bahlala bodwa emijondolo yabo kanti bangabantu besifazane nabo. Le nto eyenzeke lapha nakwaPhakathi besiyibukela kude kodwa manje isilapha eduze. Kunzima ukulala njengomuntu wesifazane ngoba nginezingane zamantombazane nami angiphephile. Abantu abenza le nto abalazi ihlazo badlwengula kwasani,” kusho uNkk Mbambo.

Uthe ilungu lomndeni kamufi alaziyo wudadewabo oziqashele kwenye indawo KwaNgcolosi.

“Sineminyaka sihlala no-Isabel kodwa ibuhlungu indlela esihlukane ngayo ngoba ubesefana nodadewethu,” kusho uNkk Mbambo.

Isolezwe lithole ukuthi amapasi abafi awatholakali nokuthi azikho izimpahla zabo ezintshontshiwe. Emjondolo kaNksz Mkhize ububingelelwa wumcamelo onegazi emnyango. Iningi labesifazane abakhulume neSolezwe liveze ukuthi liyesaba ngoba alazi ukuthi kuzokwenzekani kulona njengoba sekuqale lokhu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane uziqinisekisile lezi zigameko eveza ukuthi amaphoyisa aphenya amacala okubulala. Uthe bazolinda imiphumela yokuhlolwa kwezidumbu ukuze kutholakale imbangela yokufa kwababulewe.

“Amaphoyisa abophe owesilisa ona-30 eMolweni ngesigameko esifana nalezi ezimbili. Umsolwa kuthiwa wagwaza owesifazane ephindelela kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yasePinetown kusasa (namuhla),” kuphetha uZwane.

Uxoshiwe uthisha owayenukubeza

$
0
0

Ibhantshi ligcwale umoya kuthisha wesikole esiKwaZulu-Natal, oxoshwe ngenxa yomphumela wophenyo obelwenziwa yihhovisi loMvikeli woMphakathi, u-Adv Thuli Madonsela.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

IBHANTSHI ligcwale umoya kuthisha wesikole esiKwaZulu-Natal, oxoshwe ngenxa yomphumela wophenyo obelwenziwa yihhovisi loMvikeli woMphakathi, u-Adv Thuli Madonsela.

UMongameli Gcwabaza watholwa enecala lokuhlukumeza ngokocansi abafundi bamazinga aphansi, waboshwa ngo-2008 wagwetshwa ngo-2010 iminyaka emihlanu elengisiwe.

Ngemuva kokuboshwa wasuswa esikoleni esiseTaylor’s Halt, eduze kwaseMgungundlovu kodwa waphinde wabuyiselwa sekukhishwe isigwebo.

Ukubuyiselwa kwakhe esikoleni kwaholela ekutheni omunye wabazali, ingane yakhe engathinteki kuleli cala, yafaka isikhalo ehhovisi loMvikeli woMphakathi.

“Wazivumela yena amacala uGcwabaza ngenyanga edlule esigungwini esasijutshwe wumnyango wezemfundo esofundazweni. Kuphume isinqumo sokuthi kumele axoshwe,” kusho uKgalalelo Masibi, okhulumela ihhovisi lomvikeli womphakathi.

I-DA isishayele ihlombe lesi sinyathelo.

UMnuz Tom Stokes okhulumela iDA uthe kuncane okwenziwe ngabaphathi emnyangweni wezemfundo lokhu okuholele ekutheni uthisha angathathelwa izinyathelo ezifanele ngesikhathi esifanele.

Uthe iDA yake yazwakalisa ukungagculiseki ngokubuyela emsebenzini kwalo thisha ngoJanuwari nonyaka.

Akutholakalanga ukuphawula komnyango wezemfundo eKZN ngalesi sinqumo.

UMasibi uthe inkinga umnyango owabhekana nayo wukushayisana kwemininingwane ababenayo yalo thisha naleyo eyayibhalwe esitatimendeni samaphoyisa.

Bajokole bekhala ngokubiza kwama-ambulensi endalini

$
0
0

Bahambe bekhala ngokubiza kakhulu abebefuna ukuthenga izimoto ebezisetshenziswa ezimeni eziphuthumayo ezidayiswe wuMnyango wezeMpilo e-Wentworth izolo.

|||

LUNGI LANGA

BAHAMBE bekhala ngokubiza kakhulu abebefuna ukuthenga izimoto ebezisetshenziswa ezimeni eziphuthumayo ezidayiswe wuMnyango wezeMpilo e-Wentworth izolo.

Lezi zimoto bezidayiswa yinkampani yabadayisi abazimele iSpokes Auctioneers nokuyibo ababedayisela uMnyango wezeMpilo ezinye izimoto eStanger ngeledlule.

Iningi labantu ebelizimisele ngokuthenga izimoto kule ndali, lithe izimoto bezibiza kakhulu ukuthi bangazithenga.

UMnuz Thembinkosi Mkhwanazi ongusomatekisi uthe ubezimisele ngokuthenga enye yezimoto zohlobo lwe-Volkswagen TDi kodwa ngenxa yokubiza kwazo uhlulekile ukuthenga enye yazo.

Uthe emuva kokubona ukuthi izimoto bezibiza kancane ngesikhathi uMnyango wezeMpilo uzidayisa eStanger bebezitshela ukuthi namanje kuzoba yinto efanayo.

Uthe ziqala kancane kodwa abantu benza zigcine zibiza ngokuphakamisa imali enkulu kakhulu.

“Bengizitshela ukuthi enye yezimoto zaka-VW zizobiza noma u-R30 000,” kukhala uMkhwanazi.

Ezimotweni ebezidayisa bekukhona ama-ambulensi, amabhasi okuhambisa iziguli, amaveni, inqola yokuthwala impahla nemoto encane eyodwa.

Iningi lazo bekungama-ambulensi ohlobo lwe-Mercedes, Toyota Land Cruiser, amaveni eNissan neSuzu.

Izimoto bezithengwa ngemali ephakathi kuka-R5 000 kuya ku-R140 000. Ama-ambulensi abekhona bengungamadala kuphela, asenamakhilomitha angaphezu kuka-250 000.

Iningi lawo abelimele kancane mhlawumbe kufe amawindi, kwalimala nezicabha, ezinye bezingenazo izinjini.

Abanye bebekhala ngokuthi awekho ama-computer box.

Abaningi bebezitshela ukuthi izimoto ezizodayisa ngama-ambulensi okuke kwabikwa ukuthi aduve eWentworth ngoba kunezinto ezazingafakiwe kuwo.

Lawo ma-ambulensi abengabonwa nangokhalo kunalokho bekukhona ezinye izimoto ebezisazophendulwa ama-ambulensi ebezipake lapho kupakwa khona izimoto ezisanda kuthengwa.

Yize bekukhona abaphoxekile, bakhona nabahambe beneme.

UMnuz Okkie Sikhakhane ongusomatekisi uthenge ibhasi ebelisetshenziselwa ukuthwala iziguli ngo-R20 000. Uthe uzolisebenzisela ukuthwala amakholwa ngezinkonzo zePhasika.

Bafuna kukhishwe ababoshwe ngawokubulala abathathu

$
0
0

Bakhala ngamaphoyisa abantu baseNhlungwane ngaseNtuzuma abebezoseka abasolwa abathathu abavele izolo enkantolo eNtuzuma ngamacala amathathu okubulala amabhungu, izidumbu zawo ezitholwe enkundleni yezemidlalo eBhambayi eNanda, ngesonto eledlule.

|||

BAWINILE NGCOBO

BAKHALA ngamaphoyisa abantu baseNhlungwane ngaseNtuzuma abebezoseka abasolwa abathathu abavele izolo enkantolo eNtuzuma ngamacala amathathu okubulala amabhungu, izidumbu zawo ezitholwe enkundleni yezemidlalo eBhambayi eNanda, ngesonto eledlule.

Abantu bebegcwele emagcekeni enkantolo nangaphandle kwesango bethi bafuna ukuthi kukhishwe abasolwa abathathu, ababoshiwe ngoba abazi baboshelweni.

Amaphoyisa abophe abasolwa abane abaneminyaka ephakathi kuka-21 no-28, ngempelasonto ngecala lokubulawa koMnuz Mthobisi Shoshi (19), Nkululeko Khanyile (18) noMfanafuthi Zwane (19), izidumbu zabo ezitholwe zinamanxeba okushaywa kanzima nokuklajwa ngoLwesine olwedlule, eBhambayi.

Abakhulume neSolezwe kodwa bangathanda namagama abo bathe bafuna ukuthi kukhishwe laba ababoshiwe ngoba abazi ukuthi baboshelweni.

“Thina siyakhalisana nabafowethu ababoshelwe into esingayazi,” kusho omunye.

Omunye uthe bakhala ngamaphoyisa aseVela adedela izigebengu abasuke bezibophele zona baze baziletha esiteshini.

“Umuntu uma simtholile siyamthatha siye naye emaphoyiseni kodwa avele adedelwe nje phambi kwethu simbuka,” kusho ilungu lomphakathi.

Uthe bagxeka indlela amaphoyisa asebenza ngayo ngoba bona bagqashulelwa ompompi bagqekezelwa mihla namalanga kodwa akuboshwa muntu.

Abantu bebephethe izingqwembe ezibhale ukuthi “Uma kubulawe umgulukudu siyaboshwa kodwa uma singenelwe akuboshwa muntu”.

Ngaphakathi enkantolo abasolwa bavele kafushane icala labo lahlehliselwa isonto elizayo. Icala lihlehliselwe uMashi 18 ukuze laba basolwa babuyele enkantolo kanye nomsolwa oyedwa ovele eNkantolo ngoMsombuluko.

Abasolwa bobane bazo-faka ngokusemthethweni isicelo sebheyili ngoMashi 20.

Abasolwa bazogcinwa ezitokisini esiteshini sama-phoyisa eNanda ngoba kusazoba nohlelo lokuthi bakhonjwe ngofakazi.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>