Kuxabene ubendle phakathi kowesifazane waseDassenhoek, eThekwini nomfowabo ongumfundisi okuthiwa udinwe wukuthi akayitholanga i-ipad.
|||
ZANELE MSOMI
KUXABENE ubendle phakathi kowesifazane waseDassenhoek, eThekwini nomfowabo ongumfundisi okuthiwa udinwe wukuthi akayitholanga i-ipad, okuwubukhazikhazi bekhompyutha ewucwephe eqopha iphinde ithwebule izithombe ezisezingeni eliphezulu, abeyibize kwembeswa udadewabo.
UNksz Nonhlanhla Mkhize (29), akasangenelani noMfu Nkosi Mkhize webandla iSoul Rennaisance Ministries edume ngokuthi yiZero To Hero eThekwini.
Isolezwe lithole ukuthi udweshu lususwe ukuthi uMfu Mkhize oshumayela nasemisakazweni, akayitholanga i-ipad Apple okuwuhlobo oluphathwa ngomntakabani, ayibize kumbeswa udadewabo ngoNovemba nyakenye.
Akekho ofuna ukuzehlisa kanti indaba isingenwe nangamanye amalungu omndeni.
Echaza uNksz Mkhize onyukelwa umoya uma exoxa le ndaba, uthe bazalana ngokwegazi nomfowabo futhi bakhule bengamathe nolimi.
Yize ethi bakhule behlala ngokwehlukana ngenxa yokuthi unina washadela kwenye indawo, bebevulelana izifuba besizana noma benezinkinga.
UNksz Mkhize olotsholwa kwaNxele, uthi umfowabo nguye abembikela konke ngoba uyise umaze esemdala futhi nobudlelwano abubuhle.
Uveza ukuthi nangesikhathi sekukhulunywa ezamalobolo umfowabo nguye owengamela yonke into.
“Ngesikhathi ngicelwa nguye nomama abamukele imali.
Ngisho uhla lwezibizo lwenziwa yibona,” eqhuba.
Uthe wathuka woma esebona uhla lwezibizo.
Uthuswe wukuthi kubhalwe i-ipad athi bathole ukuthi ibiza ngaphezulu kuka-R7 000.
Ohlwini bekubhalwe nefoni yohlobo oluphambili iBlackberry ne-microwave enezibuko.
“Sixoxile nomyeni wami kwacaca ukuthi ngeke akwazi ukuthenga i-iPad ebizwe ngubhuti.
Ngimfonelile naye umfowethu ngesihle ngamchazela.”
Uveza ukuthi umkhwenyana ugcine ethenge olunye uhlobo lwe-ipad ebiza uR4 000.
Ngosuku lwezibizo umfowabo wafika kwambeswa kukuhle kudelile.
Uthe wanikezwa naso isibizo sakhe yize bekungasewona “ungqo” lona abewufunile. Isolezwe lizibonile izithombe zomembeso obuhlanganiswe nomthembiso.
Kulezi zithombe uMfu Mkhize uyabonakala amukeliswa ucwephe olusakhompyutha, ukuyiyo belu i-ipad ayeyibizile.
UNksz Mkhize uthi kuphele isonto kudlule umembeso wathola ucingo kumfowabo ethi mabayiphindisele esitolo i-ipad ukuze azigcwalisele athenge le ayifunayo.
“Ngimtshelile ukuthi umyeni wami abekwenza ubekweza ngothando,” kusho yena.
Uthe baze bayidayisa i-Ipad imali bayinikeza yena umfowabo othe uzozigcwalisela.
UNksz Mkhize ushaya phansi ngonyawo uthi ngeke umfowabo ayithole i-ipad ayifunayo futhi akazimisele ukuyocela uxolo ngoba akazi woneni.
UMfu Mkhize uthe uyalwazi udaba lwe-ipad kodwa ayibhalwanga nguye ezibizweni. Uthe ngudadewabo nomyeni abazibhalela futhi kwazisukela kubona ukuthenga i-ipad.
“Uma ngifuna i-ipad ibandla lami lingangithengela. Angizange ngithole kwaleyo abayishoyo ezibizweni,” kusho yena
Ebuzwa ngesithombe abonakala kuso ezibizweni amukela i-ipad, uphikile.
“Akuyona i-ipad leya, nami angazi ukuthi yini.
Ngicabanga ukuthi yi-device oyithola kwaSamsung ekwazi nokushutha izithombe.”
Uthe ubeselokhu agcina ngoDisemba ukuxhumana nodadewabo aze akhuluma naye ngoLwesithathu, kwaphakama imimoya.
“Ngilindele yena azoxolisa ngoba angazi sixatshaniswa yini,” kusho uMfu Mkhize.
USolwazi Jabulani Maphalala onguMhlaziyi womlando namasiko uthe uyakuqabuka okokubiza kobukhazikhazi bezimpahla.
Uthe umkhuba wokwandisa izibizo uzokwenza bande abangagani.
Ugcizelele ukuthi uma kulotsholwa kwakhiwa ubuhlobo ngesihle ngoba umuntu akathengwa.
Uveza ukuthi okubalulekile ezibizweni yinkomo eyisibizo sikababa nesikamama, okunye kusuke kuyizipho zokwakha ubuhlobo.