Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Ziseqhulwini ezokuthuthukisa umphakathi

$
0
0

Izindlu, ezemfundo, ezempilo, izimpesheni, ukuthuthukiswa komphakathi,ziqhubekile nokuba seqhulwini zezinhlelo zikahulumeni kuleli zokuthuthukisa impilo yabantu.

|||

MHLENGI SHANGASE

IZINDLU, ezemfundo, ezempilo, izimpesheni, ukuthuthukiswa komphakathi,ziqhubekile nokuba seqhulwini zezinhlelo zikahulumeni kuleli zokuthuthukisa impilo yabantu.

Izolo uNgqongqoshe weziMali uMnuz Pravin Gordhan (osesithombeni), ethula isabelo-mali sika-R1.15 trillion salo nyaka wezimali ePhalamende, eKapa, uthe lezi zinto zabelwe u-60 % wale mali ekhishiwe. Ezemfundo njengoba bekulindelekile zithole isabelo esikhulu nakulo nyaka wezimali njengoba zabelwe u-R233 billion.

Abantu abangenazo izindlu, abahlala emijondolo bazolala behleka njengoba kuzokwakhiwa izindlu ezingaphezulu kuka-400 000 ngo-2016.

UGordhan uthe kuzofakwa imali komasipala ukuze kwengezwe izindlu ezingu-409 143 bese kuvuselelwa ezingu-198 000.

“Kuhamba kancane ukwakhiwa kwezindlu zomxhaso kunalokho ebesikuhlelile. Kusuka ngo-1994 kuze kube unyaka odlule uhulumeni usakhe izindlu ezingu-2.7 million emindenini ehola kancane. Kulo nyaka wezimali isabelo sezindlu singu-R31.9 billion,” usho kanje.

Uthe nalabo abahola kusuka ku-R1 500 kuya ku- R7 500 ngenyanga bazohlomula ohlelweni lwezindlu njengoba bakha izindlu ezibalelwa ku-6 000 abazokwazi ukuziqasha.

Uhlelo lokufakwa kukagesi aluzange lusale ngaphandle enkulumeni kaGordhan. Eminyakeni emithathu kubekwe u-R5.7 billion.

Izaguga, ebezilinde ukwazi ukuthi uzothi phohlo malini empeshenini yazo zizohleka kuvele elomhlathi, imali inyuka ngo-R60. Izaguga sezizohola u-R1 260 zisuka ku-R1 200.

Imali yesondlo sabantwana edume ngeleqolo izonyuka kabili kulo nyaka, kuzothi fahla ngo-R10 ngo-Ephreli iphinde ithasiselwe ngomunye u-R10 ngo-Okthoba okusho ukuthi abantwana bazogcina sebehola u-R300 ekupheleni konyaka.

Imali yezintandane izonyuka ngo-R30, ibe ngu-R800 ngenyanga kusuka ngo-Ephreli. Amasosha, abakhubazekile nabo imali yabo izonyuka ngo-R60, ibe ngu-R1 260.

UGordhan uthe bayayisusa yonke imibandela ngo-2016 ebivimba ukuthi umuntu yize esefinyelele eminyakeni yokuthola impesheni kodwa angakwazi ukuyithola ngoba kubhekwa ukuthi uhola malini ngonyaka.

“Okwamanje kubhekwa ukuthi awuholi yini ngaphezulu kuka-R49 920 ngonyaka nanokuthi izinto onazo azifinyeleli ku-R831 600 uma ungashadile. Uma ushadile bekudingeka nithole imali engekho ngaphezulu kuka-R99 840 kodwa kusuka ngo-2016 wonke umuntu uma sekushaye isikhathi sakhe, uzoyithola imali yakhe kungabekwa mbandela,” kusho uGordhan.

Izibalo zentsha engasebenzi uthe ziyabakhathaza yingakho bezobeka ezithebeni zePhalamende umhlomulo wentsha engasebenzi.

Izindawo ezakhahlanyezwa yisiphepho okubalwa iKwaZulu-Natal, Limpopo, neMpumalanga nezikole ezigxile kakhulu ekukhiqizeni abafundi beMaths neSayensi ama-Dinaled, konke kuzofakelwa imali.

Kuzokwehla umthwalo kubasebenzi njengoba ingeke inyuke intela kulo nyaka. Kuno-R7 billion wokusiza ukuthi yaphulwe intela.

Izinkampani yezitimela, iPrasa , izothola u-R5 billion kuthi i-Sanral yona ithole u-R156 million ukuze kuthuthukiswe ezokuthutha.

Uhulumeni ufuna ukubuyisa umhlaba ongu-310 000 hectares ukuze ubuyiselwe kubantu.

Uthe: “Sifuna ukuthuthukisa amapulazi angu-368 ngonyaka ozayo siqeqeshe abalimi abangu-400. Kubekwe u-R3.4 billion kwezomhlaba.”


Baphithene ngesimo esishayisanayo seHIV

$
0
0

Badidekile abashadikazi baseKlaarwater abathola imiphumela eshayisanayo ngesimo sabo se-HIV uma beyohlola ezindaweni ezihlukene.

|||

LUNGI LANGA

BADIDEKILE abashadikazi baseKlaarwater abathola imiphumela eshayisanayo ngesimo sabo se-HIV uma beyohlola ezindaweni ezihlukene.

UNkk Simangele Goge (30) uthi uthole ukuthi unegciwane lengculazi ngonyaka odlule kodwa uthe uma eseyobheka kulo nyaka wathola ukuthi akanalo kade sekuphele izinyanga azi ukuthi unalo.

Ngo-Okthoba nyakenye uthole ukuthi unegciwane ngesikhathi ehamba umtholampilo esakhulelwe.

“Ngahlolwa kwatholakala ukuthi nginegciwane. Ngathuka ngoba ngangingazitsheli ukuthi kungaphuma le miphumela.

“Umyeni wami naye ufike wahlola igazi ngalolo suku wathola ukuthi igciwane akanalo,” kuchaza uNkk Goge.

Uthi bamqalise imishanguzo yokuthithibalisa igciwane i-AZT eyingxenye yohlelo lokuvimbela igciwane ukuthi lidlulele enganeni ayikhulelwe.

Ngosuku olulandelayo baye kudokotela ozimele benomyeni wakhe bahlola igazi. Imiphumela yabo bobabili ibuye ithi kabanalo igciwane lesandulela-ngculazi.

Babuyele emtholampilo ngo-Febhuwari ngoba sekusondele ukuthi atete, eyobuza ukuthi kumele ayithathe yini imishanguzo ebizwa nge-Nevirapine ethathwa ngowesifazane okhulelwe uma esezobeletha. Bacelwe ukuthi baphinde bahlole igazi, umyeni wakhe wathola ukuthi akanalo igciwane. UNkk Goge uhlolwe kabili ngalelo langa kwaphuma imiphumela emibili engafani.

Owodwa uthe unegciwane omunye uthi akanalo. Badluliselwe esibhedlela eRK Khan kwathiwa akayohlola khona kusetshenziswa i-Elisa lapho kuyiswa khona igazi esikhungweni esihlola igazi. Imiphumela yalelo gazi ithe akanalo igciwane.

Le miphumela uyithole ngo-Febhuwari 13 emuva kokuthola umntwana. Uthe useyekile ukunika ingane yakhe iNevirapine ngoba udokotela wabatshela ukuthi asikho isidingo sokuyithatha uma le miphumela ithi akanalo igciwane.

UDkt Harry Hausler wenhlangano eyengamele izinhlelo ezithinta ingculazi nesifo sofuba iTB/HIV Care Association uthe kuyenzeka ukuthi amathuluzi okuhlola igazi aphambuke akhiphe imiphumela engeyona. Kodwa uthe uma kwenziwe uhlobo lokuhlola igazi lapho kuyiswa khona igazi esikhungweni sokuhlola igazi leyo miphumela ingathenjwa.

“Isikhathi esiningi uma uhlobo lokuhlola igazi lapho kujojwa khona umunwe ngenayiti bese kuthathwa igazi luveza imiphumela eshayisanayo kuye kube ngcono ukuyisa igazi esikhungweni esihlola igazi. Imiphumela ephuma lapho isuke ithembekile,” kusho uHausler.

Okhulumela umasipala weTheku uMnuz Thabo Mofokeng uthe basaluphenya udaba lwalezi zithandani, bazokwazi ukuphendula uma sebephothule uphenyo lwabo.

Selinikwe abaqaphi ikhansela ebelihlaselwa

$
0
0

Ziqinisiwe ezokuphepha ekhanseleni leNkatha kuWadi 39 ofaka phakathi ihostela laKwaMashu, eThekwini.

|||

SIMPHIWE NGUBANE

ZIQINISIWE ezokuphepha ekhanseleni leNkatha kuWadi 39 ofaka phakathi ihostela laKwaMashu, eThekwini, ngemuva kwezigameko ezimbili zokuhlasela ezenzeke zilandelana kuleya ndawo.

Ikhansela uMnuz Sakhi Ngcamu unikwe abaqaphi abathathu ngumasipala weTheku.

Usinde edutshulwa esemzini wakhe ehostela ngoMgqibelo ebusuku ngamadoda abehlome ngezibhamu. Kudlule izinsuku ezimbili waphinde wahlaselwa ngoLwesibili ekuseni esigamekweni okufe kuso indoda ebizofuna incwadi yekhansela kwalimala kanzima enye eyilungu lokuqina leNkatha edubuleke ekhanda.

Ekhuluma neSolezwe izolo, uNgcamu uthe usaqhubeka nokwenza umsebenzi wakhe wobukhansela futhi usahlala khona ehostela.

“Ngihlinzekiwe ngabaqaphi futhi ngimatasa nomsebenzi wami ehostela. Akukho engikusolayo okwamanje ngokuhlaselwa kwami,” kusho uNgcamu.

Izolo ithimba leSolezwe lihambele ehostela lizulazula ngaphakathi emigwaqweni yakhona lazithela kubantu abebemi izixongololo abebeyibukisisa imoto edlula eduze kwabo.

Yize bekubukeka kuthule kodwa indlela abantu abebeqalaza ngayo ubucacelwa ukuthi banovalo ngezigameko zokudubula ezisanda kwenzeka. Bebengafuni nokuyikhuluma eyokuhlaselwa kwekhansela abantu emgwaqweni bethi akuyekelwe amaphoyisa aphenye ngalokhu.

UMnuz Thabo Mofokeng ongumkhulumeli kamasipala ukuqinisekisile ukuthi bahlinzeke uNgcamu ngabaqaphi okuyinto abayenzayo uma impilo yekhansela noma eyesisebenzi isengcupheni yokwenzakaliswa.

Ukudutshulwa kwekhansela ehostela kufake itwetwe kubantu abaningi kangangokuba noNongqongqoshe wezokuPhepha KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu uchaze lezi zigameko zokuhlasela njengento engamukelekile engase ibhedule okunye ukubhekana ngeziqu zamehlo kubalandeli bamaqembu ezepolitiki.

Wathi bazoluthathela phezulu lolu daba besebenzisa izinhlelo ezizoqinisekisa ukuthi kunokuthula ngaso sonke isikhathi ehostela.

“Sidinga abaholi bamaqembu ehlukene ukuba bahlangane bakhulume ngazwi linye bekhuza izigameko zodlame ehostela. Abantu kumele bazi ukuthi alwamukelekile udlame ngakho uma kukhona lapho kuphambene khona imibono akuhlalwe phansi kuxoxiswane,” kusho uMchunu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Thulani Zwane uthe luyaqhubeka uphenyo lwamaphoyisa ngezigameko zokulalelwa unyendle kukaNgcamu njengoba bephenya amacala okubulala nawokuzama ukubulala.

Ziyabonakala izithelo zokuvikela obhejane

$
0
0

Ungqongqoshe wezeMvelo kuzwelonke, uNkk Edna Molewa, uthi seziqalile ukuthela imiphumela emihle izinhlelo zokuvikelwa kobhejane kuleli.

|||

BONISWA MOHALE

UNGQONGQOSHE wezeMvelo kuzwelonke, uNkk Edna Molewa (osesithombeni), uthi seziqalile ukuthela imiphumela emihle izinhlelo zokuvikelwa kobhejane kuleli.

UNkk Molewa ukhulume lokhu izolo esithangamini sabezindaba ebesiseGoli ngesikhathi eveza ukuthi sekubulawe obhejane abangu-128 kulo nyaka.

Uthe yize kunjalo ubona imikhankaso yezifundazwe ezahlukene neyoMnyango wakhe isebenza ngoba sebenezivumelwano nezwe iVietnam nalo elizimisele ngokuwajezisa kanzima amasela abulala obhejane ngenxa yezimpondo zabo.

Ngokusho kukaNkk Molewa, iNingizimu Afrika yiyona ezobe isekhaleni lezingxoxo zokuvikela imvelo ezizoba seBangkok, eThailand ngoMashi.

INingizimu Afrika izobe ikhuluma ngomkhakhaso wayo wokuhlenga obhejane kule ngqungquthela ebizwa nge-Convention on International Trade in Endangered Species of Wild Fauna and Flora (CITES) ozoqala ngoMashi 3 uphele ngoMashi 14, eThailand.

Uthe bona bazobe beyonxenxa amazwe ukuba asize ukuvikela obhejane, angabi yingxenye yokushushumbiswa kwezimpondo zalezi zilwane.

Uveze ukuthi emhlanganweni wayizolo abenawo neKhabhinethi sekuzoba nemali yoxhaso ezongena ezinhlelweni zokuvikela obhejane.

Le mali izokwenziwa kwezindlela ezahlukene ezizodingidwa nguMnyango wezeziMali nowezeMvelo.

Mayelana nodaba lokususwa kwezimpondo kobhejane ukuze bangabulawa, uNkk Molewa, uthe ucwaningo lwabo luveza ukuthi kusanemibuzo eminingi kulolu daba ngoba obhejane bangaba sengcupheni futhi nemali edingekayo iningi.

Uthe lokhu kungasebenza eziqiwini ezinesibalo esincane sobhejane ngoba kungawanqanda amasela ekwenzeni lo mkhuba.

Khonamanjalo bangu-12 obhejane asebebulewe KwaZulu-Natal babe ngu-12 naseNorth West bese beba yisishiyagalombili eLimpopo.

Ukhala uyazithulisa osephila ngezinhlungu

$
0
0

Ukhala ngommeli osedlala umacashelana owesilisa othi wayebophe isibhedlela saseMthatha, iNelson Mandela Academic, ngokuthungela ngaphakathi esiswini sakhe ipayipi ayelisebenzisela ukuzikhulula ngalo.

|||

THEMBA NTSHINGILA

UKHALA ngommeli osedlala umacashelana owesilisa othi wayebophe isibhedlela saseMthatha, iNelson Mandela Academic, ngokuthungela ngaphakathi esiswini sakhe ipayipi ayelisebenzisela ukuzikhulula ngalo.

UMnuz Victor Mzila waseMzinto (28), uthe yikulesi sibhedlela lapho afike wahlinzwa khona esiswini kanti kuzovaleleka ngaphakathi esiswini leli payipi. Manje uthi usenezinhlungu ezingapheli esiswini ezimenza angakwazi ukudla.

Uhlinzwa nje kulesi sibhedlela uthi wayekade egingqike neloli lasemsebenzini ayakade elishayela elalithwele impahla elakhalakathela esiweni ngo-2009 emva kokuba liphelelwe amabhuleki, wephuka ingalo walimala nasesiswini.

Ngaphandle kokuchayiswa ngummeli mayelana nokunxeshezelwa yisibhedlela, uthi wayemthembise nokuthi uzomlwela nasekutheni inkampani abesebenza kuyona imnxephezele njengoba alimalela emsebenzini.

“Manje ummeli wami useyangibalekela. Akasazibambi izingcingo zami kanti uyena owayengivulise icala lokuthi angibophe lesi sibhedlela ukuze singinxephezele,” kuchaza uMzila.

Uthe kungcono ukube uyamcacisela ukuthi kuqhubekani kunokuthi ambalekele. Ebuzwa ukuthi malini ababevumelene ngayo ngokunxeshezelwa yilesi sibhedlela, akakwazanga ukucacisa, wathi ummeli wakhe owathi uzokubeka kuyena ukuthi ufanelwe yimalini.

Ethintwa ummeli kaMzila, ozibize ngoHussein, uthe uyena uMzila owamtshela ukuthi angabe esaqhubeka nokummela.

“Wathi angingabe ngisammela emva kwalokho wanyamalala waya eZimbabwe,” kuchaza uHussein obezwakala engenasikhathi.

“Ngithumelele inombolo yakho nge-sms ngizobuyela kuwena ngisaphuthuma enkantolo,” washo evala ucingo.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape, uMnuz Sizwe Kupelo, uthe kuzomele uMzila afake isikhalo ngokwenzeka ukuze kubuyekezwe irekhodi lokuhlinzwa kwakhe kutholakale ukuthi obani abenza ubudedengu nokuthi kanjani.

Obambe ucingo enkampanini uMzila abesebenza kuyona iStreamline Hardware, uthe umphathi akekho njengoba isikhathi esiningi esichitha eThekwini.

Ngokwamaphepha asesibhedlela iNelson Mandela Academic, ayavuma ukuthi wahlinzwa umzila kusona ngoJulayi 25, 2009 wadedelwa ngoSepthemba 28, 2009 wabe esedluliselwa esibhedlela i-Addington, eThekwini.

“Sengifikile e-Addington bazama ukungiphakela ukudla kodwa ngabuyisa ngoba kwakunezinhlungu engizizwayo esiswini. Bangisa kwi-Xray kwatholakala ukuthi kukhona okuthungelwe ngaphakathi esiswini,” kuchaza umzila.

Uthe waphinde wahlinzwa kulesi sibhedlela kwakhishwa lelo payipi. Inkinga anayo manje uthi akudleki ngenxa yezinhlungu ezihlale zimbelesela selokhu kwavaleleka leli payipi.

Namaphepha ase-Addinton ayakufakazisa ukuthi uMzila wahlinzwa kusona kwakhona into ekhishwayo eyayithungelwe ngaphakthi kuyena esiswini.

Obambe ucingo esibhedlela i-Addinton, uthe uzowudlulisela kuZuma okhulumela isibhedlela umlayezo. Uthe inkinga wukuthi izingcingo zabo aziphumeli ngaphandle ngoba banenkinga kagesi.

Abanye abadla umhlaba ngenkani

$
0
0

Kungakapheli ngisho inyanga kugasele iqulu labantu emhlabeni kamasipala weTheku elokishini eLamontville befuna ukwakha imijondolo ngo “dli”, izolo kuphinde kwatheleka abanye eMayville befuna ukwenza esifanayo phakathi kwezindlu ezisanda kwakhiwa.

|||

NQOBIZIZWE ZWANE

KUNGAKAPHELI ngisho inyanga kugasele iqulu labantu emhlabeni kamasipala weTheku elokishini eLamontville befuna ukwakha imijondolo ngo “dli”, izolo kuphinde kwatheleka abanye eMayville befuna ukwenza esifanayo phakathi kwezindlu ezisanda kwakhiwa.

Laba bantu abalinganiselwa ku-250 bebekanise emgwaqweni izolo befuna ukungena ehlathini elincikene nalezi zindlu ezineminyaka eyisithupha zakhiwa ukuze bakhe imijondolo. Bebehlome ngobhushu nocelemba basabisa ngokuthi ngoMsombuluko bazobe sebehlala kuleli hlathi kumnyama kubomvu.

Ozibiza ngomholi wabo uMnuz Mzokhanyayo Ntuli uthe abakugqizi qakala okushiwo wuMasipala weTheku ngaleli hlathi bona bazoqhubeka nokulibhusha belungiselela ukungena kulona ngo-Msombuluko ekuseni.

“Uma befuna ukusivimba abasibulale ngoba iyona kuphela indlela abangasivimba ngayo leyo. Thina siyophuma siyizidumbu kuleli hlathi futhi sizolilwela kuze kube sekugcineni,” kubeka uNtuli izolo.

Eqhubeka uthe kusasa bazoqhubeka nokucaba leli hlathi wathi azikho izingqinamba ezingabavimba ekwenzeni lokho.

Echaza ngembangela eyenze ukuthi bangene kuleli hlathi ngokungemthetho uthe wukuthi sebekhathele wukukhokha i-renti emijondolo abacuphe kuyona njengamanje, ebalula nokuthi basala dengwane uma kudilika imijondolo yabo ngenxa yemvula.

“Iningi lethu alisebenzi liziphilisa ngokubamba amatoho. Sikhathele wukuhlala emijondolo esiyikhokhela i-renti. Uma ike yadilika ngenxa yemvula siyazibonela njengeziqashi ukuthi sishonaphi. Uma sibika ngezinkinga zethu sitshelwa ukuthi ayikho into engenzelwa isiqashi yingakho sizongena kuleli hlathi sizakhele imijondolo yethu,” kusho uNtuli.

UMnuz Siphiliselo Sithole oyilungu lalo mphakathi uthe uneminyaka engu-16 ehlala emjondolo awukhokhelayo.

“Ngikhokha u-R300 ngenyanga engingenawo ngoba angisebenzi. Indawo yokugxumeka umjondolo ayikho yingakho siza lapha ehlathini. Ayikho indawo esizohlala kuyo,” kusho uSithole.

Isolezwe lifika kule ndawo lizithele kuleli qulu labantu liphethe yonke inhlobo yethuluzi lokwakha. Abahlala eMayville abebedlula ngezimoto kuleli qulu bebedidekile.

Laba bantu baphuma ezindaweni ezihlukene ezakhele iMayville okubalwa kuzona imijondolo yaseBonella, Dampa, Cato Crest naseMazenzeni.

Khonamanjalo abadla umhlaba eLamontville kuvela ukuthi baphansi phezulu necala lokudutshulwa komunye owayekanye nabo ngesikhathi besuswa kule ndawo.

Esigamekweni sokugcina, laba bahlali okuthiwa bangabalandeli be-NFP bahubha abasebenzi bakaMasipala ababezobakhipha ehlathini “abalidlile.”

Okhulumela umasipala uMnuz Thabo Mofokeng uthe ngeke bavume ukuthi kwakhiwe imijondolo kule ndawo.

“Kunophiko olusebenza ngqo nabantu abadla umhlaba ngenkani okuyilo oluzobhekana nalolu daba. Ngeke umasipala uvume kwakhiwe imijondolo ngoba ufuna ukuyiqeda nya eThekwini. Sinxusa ukuthi abantu babekezele futhi bangadukiswa ngabanye abanezinhloso zabo.”

U-JZ usukumele eyokuhlukunyezwa

$
0
0

Abesifazane nezingane akumele nangengozi bazithole sebehlukunyezwa noma badlwengulwe noma ngabe yikuphi eNingizimu Afrika.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

ABESIFAZANE nezingane akumele nangengozi bazithole sebehlukunyezwa noma badlwengulwe noma ngabe yikuphi eNingizimu Afrika.

Lokhu kushiwo uMengameli Jacob Zuma izolo ngesikhathi kwethulwa umkhankaso obizwa nge-Stop Rape Campaign eGlendale, eMitchells Plain, eKapa izolo.

Ukwethulwa kwalo mkhankaso kulandela inqwaba yezigameko zokudlwengulwa kwezingane nezalukazi ezidla lubi kulezi zinsuku.

“Akekho umuntu wesifazane okumele ashaywe, adlwengulwe, agwazwe, adutshulwe noma ahlaselwe noma yingayiphi indlela ezweni,” kusho uMengameli Zuma.

Uthe isimo esiqhubekayo sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane sibi kakhulu futhi yinkinga ebhekene nezwe.

UMengameli utshele abantu abebehambele lo mcimbi ukuthi kumele kwakhiwe isizwe esinakekelayo lapho amalungelo abantu ehlonishwa khona, ikakhulukazi awezingane nawabesifazane.

Lo mkhankaso ugqugquzelwa aboMnyango wezeMfundo eyisi Sekelo ne-Lead SA. Okunye okushiwo uMengameli enkulumeni yakhe ukuthi abafana namadoda nabo bayahlukunyezwa ngokocansi.

Ephetha uthe izinkantolo namaphoyisa ngokuhlanganyela banamandla ngaphansi komthetho iDomestic Violence Act, Sexual Offences Act ne-Children’kushushiswe abatholakala benza lo mkhuba.

Izilonda zeminyaka sezimyekise nesikole

$
0
0

Usedinga noma yiluphi usizo owesifazane waseZiko, ngaseManzimtoti, osegqigqe esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, eMlazi, iminyaka ewu-10 ngenxa yenkinga yokumilwa yizilonda ezingamapanyaza ezingaqondakali ngaphansi kwezinyawo.

|||

BONISWA MOHALE

USEDINGA noma yiluphi usizo owesifazane waseZiko, ngaseManzimtoti, osegqigqe esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, eMlazi, iminyaka ewu-10 ngenxa yenkinga yokumilwa yizilonda ezingamapanyaza ezingaqondakali ngaphansi kwezinyawo.

UNksz Nonjabulo Langa (19), uthe waphoqeleka ukuthi aze ayeke isikole kade eyoqala eHigh School ngenxa yokuthi kwase kunzima nokuhamba.

Uthe odokotela eMshiyeni bayahluleka wukumtshela ukuthi uphethwe yini. “Ngiqale ngizitshela ukuthi yinkinga edalwa yizicathulo ezivalekile ngoba bengiba namaqhuzu aqinile ngaphansi kobhozo. Ngayeka ukuzigqoka kodwa yaqhubeka inkinga. Uma ngiya esibhedlela bebengitshela ukuthi basazongihlola kodwa kungenzeki lutho,” kusho uNksz Langa.

Uthe odokotela balokhu bemtshela izinto ezehlukene.

“Baqale bathi ngeke bangihlinze ngoba bayesaba ukuthi ngingase ngingaphinde ngihambe. Ngigcine ukuya esibhedlela ngoNovemba kodwa baluhlehlisa usuku ebengizohlinzwa ngalo ngoba bethi basabheka ukuthi ngihlushwa yini,” kusho uNksz Langa.

Uthe inkinga yezinyawo yiyona eyamyekisa isikole ngoba ubengasakwazi ukugqoka izicathulo.

UMnuz Sam Mkhwanazi woMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uthe akakwazi ukukhuluma ngezindaba zesiguli nentatheli kodwa-ke ucela ukunikezwa inamba yaso ukuze uMnyango uzolubheka udaba lwaso.

“Akuwona umthetho woMnyango wezeMpilo ukuthi ukhulume ngezinkinga zeziguli nezintatheli kodwa-ke sizolubheka udaba ukuze sibone ukuthi sizosisiza kanjani,” kusho uMkhwanazi.

Naphezu kwezethembiso zikaMkhwanazi zokuthi bazomthinta uNksz Langa kodwa izolo uthe akekho osamthintile eMnyangweni. Sekujwayelekile ukuthi uma Isolezwe lizama ukuthola izimpendulo eMnyangweni wezeMpilo ngenhloso yokusiza umphakathi nokubhala izindaba elinazo zonke izinhlangothi lungaphumeleli ngenxa yezimpendulo elizithola ophikweni lwezokuxhumana lwawo.

Umkhulu kaNksz Langa, uMnuz Cuthbert Langa (70) uthe iyamkhathaza indaba yomzukulu wakhe ngoba ngisho ehamba uyabhadazela nje ngoba ezama ukuthola uhlangothi anganyathela ngalo.


EloBobby Motaung lihlehlisiwe

$
0
0

Sizobuyela ngenyanga ezayo enkantolo isikhulu seKaizer Chiefs, uMnuz Bobby Motaung, kanye nabanye abahlanu ababhekene necala eliphathelene no-R920 million wokwakhiwa kwenkundla iMbombela eMpumalanga.

|||

Mandla Khoza

SIZOBUYELA ngenyanga ezayo enkantolo isikhulu seKaizer Chiefs, uMnuz Bobby Motaung, kanye nabanye abahlanu ababhekene necala eliphathelene no-R920 million wokwakhiwa kwenkundla iMbombela eMpumalanga.

UMotaung ubhekene naleli cala noMnuz Hebert Theledi kanye nowayeyisikhulu esiphezulu enkampanini iLefika Emerging Equity, uMnuz Chris Grib, ummeli uMnuz Michael Romanos, owayeyimenenja kumasipala iMbombela, uMnuz Jacob Dladla nomunye owabe eyimenenja ye-technical services kumasipala waseHlanzeni, uMuz Tebogo Kubeka. Laba bavele izolo enkantolo yeMantshi eNelspruit.

Abazange babuzwe ukuthi bayalivuma noma bayaliphika yini icala. Amacala ababhekene nawo awokukhwabanisa, amathathu enkohlakalo, uzungu lokwenza inkohlakalo nokuphula umthetho iMunicipal Finance Management Act.

Leli cala lisukela ekwakhiweni kwenkundla ka-2010 iMbombela stadium eyabiza uR1.2 billion.

Ekusukeni bekuwuDladla noKubeka kuphela ababebekwe icala elithinta imali engu-R920 million kodwa ngoLwesihlanu iNational Prosecuting Authority ingeze uMotaung, Theledi, Grib noRamano.

Bobane babekwe amacala amasha ngesikhathi bevele ngelinye icala lika-R143 million ophathelene nokuphathwa nokudweba i-pulani yenkundla.

UMshushisi uPatrick Nkuna utshele inkantolo ukuthi amacala amasha amayelana nokulahleka kuka-R920 million nokuthi abasolwa bahlangana ngenkohlakalo baqasha inkampani iBasil Reed ukwakha inkundla.

Kudedelwe abasolwa ngodlame

$
0
0

Inkantolo yeMantshi yaseNtuzuma izolo ihoxise okwesikhashana amacala okubulala kwabesilisa abayisithupha abathinteka ezigamekweni ezihlukene zokubulala ehostela eligubuzelwe wudlame lwezepolitiki KwaMashu.

|||

SIMPHIWE NGUBANE

INKANTOLO yeMantshi yaseNtuzuma izolo ihoxise okwesikhashana amacala okubulala kwabesilisa abayisithupha abathinteka ezigamekweni ezihlukene zokubulala ehostela eligubuzelwe wudlame lwezepolitiki KwaMashu. Abanye abasolwa abayisithupha abatholwa nezibhamu eziyisithupha ngeledlule okusolwa ukuthi zazisetshenziswa kuhlaselwa abantu kuleli hostela basagcinwe ngaphakathi bazoze babuyele enkantolo ngoMashi 7.

Bangu-12 sebebonke abantu ababoshwa ngoLwesine ebusuku ngamacala odlame ehostela KwaMashu. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Thulani Zwane uthe abasolwa abebeboshelwe amacala okubulala badedelwe ngenxa yokushoda kobufakazi.

“Abatholwe nezibhamu bazogcinwa ezitokisini baze bavele enkantolo ngoLwesine. Amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo ngamacala abhekene nabasolwa abatholwe nezibhamu,” kusho uZwane.

Ngesikhathi amaphoyisa ebopha la madoda ngoLwesine adalula ukuthi abanye babasolwa bayathinteka esigamekweni sokulalelwa unyendle kwekhansela leNkatha ehostela uMnuz Sakhi Ngcamu.

UNgcamu usehlaselwe kabili ezigamekweni ezehlukene ezenzeke esikhathini esiyizinsuku ezintathu yiqulu lamadoda ayemdubula wasinda. Esigamekweni sokuhlasela esenzeke ngoLwesibili oludlule kwashona indoda eyayizofuna incwadi yekhansela kuNgcamu kwalimala nenye eyadubuleka ekhanda.

Lezi zigameko zafaka amanzi emadolweni kubantu nasezihlotsheni zikaNgcamu ezinye zabaleka ehostela ngemuva kwalokhu kudubula.

UNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi uMnuz Willies Mchunu wavakashela kuleya ndawo ngeledlule ezokhuluma nabaholi bamaqembu ezepolitiki ngenhloso yokubhula umlilo owawusu-bhebhetheka.

Abetoho bakhala ‘ngokweqiwa’

$
0
0

Abasebenzi abaqashwe wuMasipala weTheku njengamatoho ngohlelo lwe-Expanded Public Works Program bavuke umbhejazana izolo batoyiza ngaphandle kweCity Hall bekhala ngokungaholi nokuqedwa kwezinkontileka zabo.

|||

NONHLANHLA MKHABELA

ABASEBENZI abaqashwe wuMasipala weTheku njengamatoho ngohlelo lwe-Expanded Public Works Program (EPWP) bavuke umbhejazana izolo batoyiza ngaphandle kweCity Hall bekhala ngokungaholi nokuqedwa kwezinkontileka zabo.

Abasebenzi bakhala ngokuthi umasipala uqasha abantu abasha njalo ukuzokwenza umsebenzi owenziwa yibona kodwa bekhona bona abafika phakathi kuka-2010 no-2011 bengamatoho nokuyimanje izinkontileka zabo zivaliwe.

Omunye wabasebenzi ongathandanga ukuzidalula ngoba esabela umsebenzi uthe kwazinkontileka lezi ezilokhu zivalwa ziphinde zivuselelwe ziyabadida ngoba babesayinde isivumelwano esithi inkontileka yabo izophela ngo-2016.

“Sebelokhu bezinqamula manje basisayinise unyaka noma izinyanga belokhu bezivuselela ekubeni kwakuthiwe inkontileka iphela ngo-2016,” kuchaza umsebenzi.

Uthe bafuna ukuyeka ukuba ngamatoho, baqashwe ngokugcwele, kuyekwe ukuthi basalele ngaphandle njalo uma kukhona izikhala zemisebenzi.

Omunye ukhale ngokuthi imali abayithola ngenyanga incane kakhulu akuphileki ngayo futhi kukhona abathola imali ethe xaxa kunabanye ekubeni benza umsebenzi ofanayo.

“U-R2 300 esiwutholayo mncane kakhulu. Enye into sithola imali engalingani kodwa sibe sonke senza umsebenzi ofanayo futhi olinganayo,” kusho umsebenzi.

Abasebenzi bebewotha ubomvu emuva kokuzama ukuxhumana nezikhulu zikaMasipala weTheku kodwa kwangatholakala ngisho noyedwa ukuzolalela izikhalo zabo.

UNobhala wenyunyana, i-South African Municipal Worker’s Union waseThekwini, uMnuz Nhlanhla Nyandeni, akatholakalanga ukuthi aphawule njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa nomlayezo awuthunyeliwe akazange awuphendule.

Kuzoguga amaphakethe ngophethiloli

$
0
0

Kusazoba nzima kubantu bakuleli njengoba kuzoba nengqophamlando yokunyuka kukaphethiloli ngoLwesithathu.

|||

BONISWA MOHALE

KUSAZOBA nzima kubantu bakuleli njengoba kuzoba nengqophamlando yokunyuka kukaphethiloli ngoLwesithathu.

Ngokusho kukaMnuz Andrew Layman oyisikhulu esiphezulu seDurban Chamber of Commerce and Industry ukunyuka kukaphethiloli ngo-81 cents kuzobashaya kakhulu abathengi ngoba amabhizinisi azophoqeleka ukudlulisela izindleko kubona.

“Ukunyuka kukaphethiloli kwalo nyaka kuzobe kuphezulu kakhulu, ngicabanga ukuthi uyaqala ukunyuka kangaka.

Lokhu kwenziwa wukuthi nohulumeni ufake i-fuel levy okuyintela yakho okufana nophethiloli engu-20 cent ilitha.

Ukunyuka kukaphethiloli kuzonyusa intengo yakho konke esikudingayo ngakhoke abathengi yibona abazogugelwa kakhulu amaphakethe,” kusho uLayman.

Yize izazi zomnotho ziveza lesi sithombe esilahlisa ithemba kubathengi bakuleli, abagibela amatekisi kuthiwa bangethuki ngoba ayikezukunyuka imali yokugibela.

UMnuz Bafana Mhlongo we-KZN Transport Alliance uthe bebengakayibhungi eyokunyusa imali yokugibela kodwa bazohlangana namhlanje ukuze babheke ukuthi bazomisa kanjani.

UMnuz Bafana Magagula oyiPhini likaNobhala Jikelele we-South African National Taxi Council (Santaco), uthe uphethiloli ubukhuphukile ngenyanga edlule futhi uzokhuphuka manje kanti lokho kukhombisa ukuthi nabo izindleko zabo zizonyuka.

“Ngicela abagibeli bangethuki okwamanje ngoba sizokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi asizidluliseli kubo izindleko. Thina asifani nohulumeni omemezela namhlanje ukuthi uzowenyusa uphethiloli bese ngesonto elizayo awunyuse. Sizoxoxisana nabo (abagibeli) emuva kokubheka izindleko zethu.

Okwamanje ngeke inyuke imali yokugibela,” kusho uMagagula.

UNkk Laura Campbell oyisazi somnotho sakwa-Econometrix, uthe abantu bazokhokha kakhulu kulo nyaka ngoba uma uqhathanisa nangonyaka odlule uphethiloli unyuke ngokudlulele.

“NgoMashi ngonyaka odlule uphethiloli unyuke ngo-28 cents kodwa kulo nyaka uzonyuka ngo-81 cents. Abantu basazokhokha njengoba sekufakwe intela kaphethiloli ezoba ngu-14 cents.

Okusho ukuthi ngo-Ephreli uphethiloli uzophinde unyuke ngo-23 cents,” kusho uNkk Campbell.

UCampbell ubuye waveza ukuthi uphethiloli yiwona ozonyuka kakhulu njengoba uzonyuka ngo-81 cents, udizili uzonyuka ngo-58 cents upharafini unyuke ngo-57 cents.

Uthe abantu ngeke babe nayo imali esalayo uma beqeda ukuthenga ngenxa yalokhu kwenyuka kukaphethiloli.

UMnuz Brian Aitken onguMengameli weKwaZulu-Natal Agricultural Union (Kwanalu) uthe ukwenyuka kukaphethiloli kuzoba nomthelela omubi ngoba abalimi bazonyukelwa yizindleko.

“Abakhiqiza ukudla bazodlulisela izindleko kubathengi ngoba kuzobiza ukuthutha umkhiqizo emapulazini.

Labo abakhiqiza i-timber ne-cane bazobhekana ngqo nezindleko,” kusho u-Aitken.

Ebuzwa ukuthi abantu bazolahlekelwa yini wumsebenzi kwezolimo, uthe baqala ukulahlekelwa wumsebenzi ngesikhathi kukhushulwa amaholo kodwa namanje kungenzeka abanye abalimi abangakwazi ukumelana nezindleko zokunyuka kukaphethiloli bazithole sebephoqeleka ukudiliza abasebenzi.

Lesi simo sokunyuka kukaphethiloli ngale ndlela sikhumbuze abaningi unyaka ka 2008 ngesikhathi kwehla amandla omnotho emhlabeni.

Abantu bazititilizele izimoto zikahulumeni

$
0
0

Bezicoshwa phansi izimoto zoMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal zezimo eziphuthumayo ezifakwe endalini izolo ngoba zingasekho esimweni esilungele ukusetshenziswa nguhulumeni.

|||

CELANI SIKHAKHANE

BEZICOSHWA phansi izimoto zoMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal zezimo eziphuthumayo ezifakwe endalini izolo ngoba zingasekho esimweni esilungele ukusetshenziswa nguhulumeni.

Le ndali ibiseStanger kanti ibihlelwe yinkampani ezimele iSpokes Auctioneers ngokuyalelwa wuMnyango wezeMpilo esifundazweni.

Abantu abaningi abebehambele le ndali bebethenga izimoto ezingaphezulu kweyodwa kuya kwezintathu ngemali ebiqala ku-R10 000 kuya ku-R60 000.

Lezi zimoto bekungama-Sprinter akwaMercedes Benz, Land Cruiser akwaToyota, ezakwa-Isuzu nezinye ezinkulu zakwaVW bezithengwa ubuthaphuthaphu.

Iningi lalezi sezike zashayisa kanti ezinye bekubonakala ukuthi zibekwe ngoba zinezinkinga ezincane.

Obekugqamile wukuthi abantu abebethenga lezi zimoto bebejabuliswa wukuthi ezinye zibukeka zisaphila ikakhulukazi izinjini nezinye izingxenye ezibalulekile emotweni.

Ezinye bezinamathayi aphantshile zikhombisa ukuthi aqhuma ezingozini.

Abanye abebeze kule ndali bekungosomatekisi baseStanger abafike bezobuka kodwa bagcina sebebambe ongezansi bebabaza ukutholakala kwalezi zimoto ngamanani aphansi.

Bebeze bakhale ngokuthi ukube bebazi bebezophatha imali ngoba lokhu okwenzekayo kubavusela umona.

“Ngiyaqala ukuza kule nto, bengingazi ukuthi kanti izimoto ezibiza ngalolu hlobo njengamaSprinter zitholakala ngemali encane kanje, uyazi le nto ingibangela umona,” kusho omunye wosomatekisi obengakholwa.

Iningi lalezi zimoto ezango-2006 no-2008 kanti iyodwa kuphela imoto ka-2004 obekuyibhasi enkulu yeLembe ethwala iziguli ezisuke zisuswa kwezinye izibhedlela ziyiswa kwezinye.

UMnuz Spokes Shange wenkampani ebidayisa lezi zimoto uthe ambulensi angu-52 adayiswe wonke aphela.

“Angeke ngikwazi ukudalula ukuthi sithole malini kodwa lokho kuqondene nabanikazi bezimoto abasijube ukuthi senze lo msebenzi. Ngaphandle kwalokho njengoba besizidayisa thina asinalo ulwazi lokuthi laba abebezithenga bazozenzani nokuthi benza misebenzi mini ngoba sigcinana nabo lapha sisadayisa,” kusho uShange.

Le ndali yenzeka nje uMnyango kuzothi ngoMashi 12 uyofaka endalini amanye ama-ambulensi abalelwa ku-100 aduve eWentworth, eThekwini.

UMnyango ukugcizelele ukuthi ama-ambulensi adayiswayo asephelelwe yisikhathi, angeke esakwazi ukusetshenziswa uhulumeni.

Bakhala bayazithulisa ngekaphethiloli

$
0
0

Abantu base-Ningizimu Afrika bathi bagqemeke engeqiwa ntwala ngokwenyuka kukaphethiloli.

|||

ABANTU base-Ningizimu Afrika bathi bagqemeke engeqiwa ntwala ngokwenyuka kukaphethiloli njengoba kusukela kusasa uzokwenyuka ngo-81c ilitha bese kuthi u-phalafini wenyuke ngo-57c ilitha. Bakhala kakhulu ngokuthi ukudla kuzomba eqolo kakhulu kunakuqala kanti ukunyuka kwemali yokugibela ematekisini nasemabhasini enye yezinto ezingeke zigwemeke.

Ithimba leSolezwe liphume layozwa ebantwini ukuthi ithini imibono yabo ngokukhushulwa kukaphethiloli. UNONHLANHLA MKHABELA uxoxe nabantu UNQOBILE MBONAMBI wathatha izithombe.

LUNGILE MTHEMBU (23) waseDassenhoek uthe kuzoba nzima ebantwini abadla imbuya ngothi ngoba kuyimanje kunzima ukuthenga u-paraffin. “Izinto zilokhu zinyuka njalo kanti lokhu kuthinta kakhulu abangenalutho abazidlela imbuya ngothi.” Uthe yena uyafunda aphinde asebenze kanti ngosuku ugibela ngo-R60 ukusuka ekhaya eya esikoleni esise-Durban North aphinde aye emsebenzini.

UNJABULO MTHIYA (26) waseNanda Glebe ukhale ngokuthi amatekisi azokwenyuka ekubeni kwamanje ayabiza njengoba kuwu-R12 ukusuka eNanda uya edolobheni. “Ake uhulumeni enze izaba zokuthi uke ume nje uphethiloli ungenyuki, uhlale unyuka njalo kanti lokhu kuvele kwenyuse amanani ayo yonke into.”

UNOKWAZI MKHONZA (27) waseMlazi uthe bayaqonda ukuthi uphethiloli kumele ubuye wenyuswe kodwa u-81c mukhulu kakhulu. Uthe kuyimanje umholo awuthola ngomsebenzi awenzayo awuzikhokheli kahle izindleko zakhe kanti ukwenyuka kukaphethiloli umholo ulokhu umile kuzokwenza impilo ibe nzima kakhulu. “Ukudla nogesi kumba eqolo kanti lezi yizinto ongeke wakwazi ukuphila ngaphandle kwazo.”

UMPILO MAJOLA (27) ukhale ngokuthi njengoba uphethiloli wenyuka ngo-81 cents uma kuke kwenzeka wehla uzomane wehle ngemali encane kakhulu. “Uma unyuka unyuka kakhulu okudala ukuthi amatekisi anyuse imali abanye abangakuqondi ukuthi isimo siyakuphoqa lokhu kuthi uma sewehla wehle ngenani eliphansi elingeke lenza ukuba abamatekisi behlise imali. Lokhu kwenza abantu bakhale kakhulu.”

U-ANDILE SKHAKHANE (26) uthe kubuhlungu ukwazi ukuthi ngeke kugwemeke ukwenyuka kwezidingo ikakhulukazi imali yamatekisi, amabhasi kanjalo nokudla. “Ngeke sibabeke icala abamatekisi uma benyusa imali yokugibela ngoba nakubona kuyabiza ukunakekela amatekisi kodwa nathi kuyasithikameza kakhulu njengoba kunyuka nokudla nayo yonke into.”

ULIHLE NGCOBO (20) waKwaMashu ongumfundi wasenyuvesi uthe kuyabiza ukugibela kuyimanje kanti kumele baphathe umphako noma bathenge ukudla uma besesikoleni. “ Ukunyuka kukaphethiloli akungiphathi kahle ngoba abazali sekuzomele bakhiphe imali ethe xaxa njengoba ngidinga ukugibela uma ngiya esikoleni ngibuye ngithenge nokudla.”

Banxuswe ukuba bahlabe umkhosi bangazibulaleli

$
0
0

Bavuke indlobane beyalwa ukuthi abangazibulaleli izigebengu abantu baKwaSwayimane.

|||

LUNGI LANGA

BAVUKE indlobane beyalwa ukuthi abangazibulaleli izigebengu abantu baKwaSwayimane. Umphathisiteshi samaphoyisa eWartburg, uCaptain Philani Zondi, uthe kumele bayekele amaphoyisa asebenze uma kukhona abasolwa ngokudlwengulwa. Ubekhuluma emkhankasweni wokulwa nokudlwengulwa kogogo nezingane.

Abantu bekubonakala ukuthi abayizwa into abayitshelwa nguZondi. Ubethi kubo kufanele banikele izigebengu emaphoyiseni uma bezibamba. Lo mphakathi ohlaselwe yinkinga yokwanda kwezigameko zokudlwengulwa kwabadala kuvele ukuthi kuwo sekudlwengulwe ogogo abathathu kusuka ngonyaka odlule.

Izalukazi zakule ndawo zithi namanje zisanovalo kwazise owayeboshelwe ukudlwengula omunye ugogo adedelwa ngoba ubufakazi kuthiwa abumhlanganisi necala.

UNkk Khulelaphi Ntuli (72) waseMabhelelni KwaSwayimane lapho okwadlwengulwa khona omunye wogogo, uthe basanengebhe ngoba kuthe noma kudedelwa owesilisa ona-28 owayesolwa ngokudlwengula ugogo ona-94 kwangabe kusaboshwa muntu.

“Kusho ukuthi umuntu owamdlwengula uyazicanasela nje akabanjiwe. Angaphinde adlwengule noma inini,”kusho uNkk Ntuli.

Uthe naye uhlala bude buduze nalapho kwadlwengulwa khona lona omunye ugogo.

Uthe bafisa ukubona umthetho usebenza.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natala, uCaptain Thulani Zwane, uthe akekho osaboshiwe emuva kokudedelwa kwale ndoda kodwa uphenyo lusaqhubeka.

Izigameko zokudlwengulwa kogogo zisawudidile umphakathi wakule ndawo.

UMalusi Khanyile (19) wasoGujini uthe kwamthusa ukuzwa ukuthi umuntu ongaba ngugogo wakhe angadlwengulwa.

Usole izidakamizwa ngalesi sihlava. Uthe: “Intsha eningi seyidla yonke inhlobo yezidakamizwa yingakho seyihluleka ukuhlonipha abadala ize ikwazi nokubadlwengula. Ubonani nje kugogo omdala ukuthi ungaze umdlwengule?”

Le ndawo beyihanjelwe nguNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumanisa umphakathi, uMnuz Willies Mchunu. Ubezothula umkhankaso wokulwa nesihlava sokudlwengulwa kogogo. Unxuse amalungu omphakathi ukuthi asebenzisane namaphoyisa ukulwa nobugebengu .

Uthe kuzokwakhiwa izinhlaka ezintathu zokulwa nobugebengu ezizodinga amalungu omphakathi.

“Ngingajabula uma amabutho nezinsizwa zaKwaSwayimane bengahlaba umkhosi sebesibambile isigebengu. Noma singakhala ayikho inkinga. Sizokwazi ukuqeda ubugebengu mhla sasukuma salwa nazo,” kusho uMchunu.

Uthe umphathisiteshi umtshele ukuthi sekunomahamba nendlwana wesiteshi samaphoyisa KwaSwayimane kodwa siyavala ntambama. UMchunu uthe bafisa kushintshe lokho sivule ubusuku bonke lesi siteshi.


UZulu ukweleta uMasipala R3.7m kagesi

$
0
0

Ziyaqonga izinkinga kusomabhizinisi waseThekwini uSifiso Zulu ngokuvukelwa yizikweletu zezigidi zemali kungakapheli ngisho isonto ephume ejele ngoshwele.

|||

MLUNGISI GUMEDE noSIMPHIWE NGUBANE

ZIYAQONGA izinkinga kusomabhizinisi waseThekwini uSifiso Zulu (osesithombeni) ngokuvukelwa yizikweletu zezigidi zemali kungakapheli ngisho isonto ephume ejele ngoshwele.

Kungakapholi maseko uZulu kubikwe ukuthi ukweleta ibhange laseThala imali elinganiselwa ku-R4.6 million, sekuphinde kwavela ukuthi ukweleta noMasipala weTheku u-R3.7 million kagesi. Kuthiwa inkampani kaZulu iMtateni Logistics (PTY) Ltd, eqashwe wuMasipala ukwakha izindawo zokupaka emigwaqweni yaseThekwini, ikweleta lo mkhandlu.

Njengoba uZulu edonse izinyanga eziyisishiyagalolunye ejele, ingxenye yesigwebo sakhe seminyaka emithathu emva kokulahlwa yicala lokubulala ngokungenhloso, kuthiwa inkampani yakhe ibingayikhokhi imali obekumele iyikhiphe njalo ngenyanga kwaze kwadaleka lesi sikweletu.

Ilungu le-DA kuMasipala weTheku, uMnuz Tex Collins, uthe bazwile ukuthi uZulu ukweleta umkhandlu kodwa izikhulu zomkhandlu oholwa wuhulumeni we-ANC aziyithi vu le ndaba.

IPhini leNhloko eMnyangweni obhekelele izikweletu kuMasipala weTheku, uNkk Philile Madonsela, lithe abakwazi ukuthi baveze imininingwane emphakathini ngezinkampani abasebenzisana nazo ngoba lokho kuphambene nemigomo yabo yokusebenza.

INhloko eMnyangweni kagesi kuMasipala weTheku, uMnuz Sandile Maphumulo, uthe umnyango wakhe ubhekelele ukuhlinzeka abantu ngogesi awuhlangene nokubheka ukuthi wobani abakweletayo.

UZulu ubhekene nalesi sikweleti sikaMasipala nje akukacaci ukuthi uzokwenzenjani ngeseThala.

Ithala lisola uZulu ngokufihla ukuthi ungumnikazi woMtateni Logistics (PTY) Ltd nokusenga ezimithiyo ngokuthi athi inkampani yakhe ibhekene nezinkinga zezimali.

NgoJune 2011 iThala lafaka isicelo enkantolo linxusa ukuba kudliwe izimpahla zikaZulu ukuze kukhokheke isikweletu. Kodwa uZulu wama kwelithi akanamali.

UMnuz Siyabonga Maphumulo, okhulumela Ithala, uthe ludaba sebelufake kubameli ngoba bayayifuna le mali.

UMaphumulo uthe bazowuqinisa umkhankaso wabo wokuzama ukudla impahla kaZulu, ikakhulukazi njengoba esephumile ejele.

Njengoba uZulu ebhekene nezinkinga zezimali, vele ukuphuma kwakhe ejele bekusolisa kunabakhalayo ngakho, ikakhulukazi imindeni yabashonelwa engozini, bethi kube khona ukwenzelela.

Imizamo yokuthola uZulu nehhovisi leMtateni Logistcis ayiphumelelanga. kuhluleke ngisho ithimba lezintatheli seliziyela mathupha khona kwanhlanga zimuka nomoya. Owesifazane oficwe khona uthe akavumelekile ukukhuluma nabezindaba.

I-Sadtu imfuna esulile uMotshekga

$
0
0

Ubuholi obuphezulu benyunyana yothisha iSadtu bufuna izinyawo zigcwale udaka kuNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo.

|||

MHLENGI SHANGASE

UBUHOLI obuphezulu benyunyana yothisha iSadtu bufuna izinyawo zigcwale udaka kuNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo ngoba buthi abusabuthembi ubuholi bakhe.

Isinqumo esithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu sale nyunyana obuseKempton Park ngoMsombuluko, sithe akafake incwadi yokusula uNkk Angie Motshekga ngoba usehlulekile.

Izolo kube nesithangami sabezindaba eGoli lapho lobu buholi buthe uNkk Motshekga wahoxisa isivumelwano esasayinwa nezinyunyana ngo-2011 sokunyuswa ngo-100% kwemali yabamaka u-matric.

Akukapholi maseko le nyunyana yanxusa uMqondisi jikelele walo mnyango, uMnuz Bobby Soobrayan, ukuthi akashenxe esikhundleni ngoba washaya ungqimphothwe mayelana nalesi sivumelwano ekubeni asisayina emini kwabha.

UNobhala jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, uthe ukuhoxisa lesi sivumelwano kutshengisa ngokusobala ukuthi uNkk Motshekga unyathela ilungelo labasebenzi lezingxoxo.

Uthe umkhandlu okubhungwa kuwona izingxoxo zabasebenzi yinto abayilwela kakhulu futhi wakhiwa ukuze kube nezingxoxo ezingenazihibe kungaze kuphakame imimoya yabasebenzi.

“Sifuna ukukhumbuza uNgqongqoshe ukuthi iSadtu iyingxenye yesivumelwano esasayinwa sokuthi ngeke kube nokuphazamiseka kokufunda ukuze abafundi bangalahlekelwa yisikhathi. Kucacile ukuthi uNgqongqoshe uselahlekelwe ngamacebo okuthi angaziguqula kanjani izinto emnyangweni yingakho eseye esidlangalaleni wathi ufuna kube nohlelo lokuthi othisha bafake iminwe yabo uma bengena ukuze lubheke ukuthi bayaya yini emsebenzini,” usho kanje.

Uthe umemezela lezi zinto nje akazange axhumane nabo bewuhlaka olubalulekile emfundweni wathi akakwazi ukuthi angasebenzisa u-R430 million ekubeni izikole eziningi zingenazinsiza.

“Uma engasuli sizokwenza esikuqashelwe kuphela, ngeke sisebenze amahora engeziwe. Amalungu ethu ngeke esamaka izivivinyo zokuchibiyela, izivivinyo zamabanga aphansi nezivivinyo zika-matric ngoba sekuhoxiswe zonke izivumelwano ezithinta zonke lezi zinto,” kusho uMaluleke.

Uthe izikole azinagesi, izinsiza kufundisa nezinye izinto kodwa umnyango ufuna ukuchitha imali enkulu ulusana nothisha.

“Nombiko awucaphunayo wokulova kothisha udukisa izwe ngawo. Unyaka okwalovwa ngawo izinsuku eziningi yingesikhathi kunesiteleka ngo-2007 nango-2010.

“Akukapheli sikhathi esingakanani uNkk Motshekga aphumela obala wathi izwe alingabheki ukuthi uzokwazi ukuthi yibaphi abafundi abangenazo izincwadi ngoba yena akasabalalisi izincwadi ezikoleni.

“Ukulusa othisha akuyona into engabe iseqhulwini lwezinto azozenza kodwa kumele agxile ekunyuseni umdlandla ophansi.

“Sifuna ukwazi ukuthi ngubani ozothola ithenda yokufaka lolu hlelo ngoba umnyango uhluleka ngisho ukwakha ama-lab ezikoleni, imitapo yolwazi nezinkundla zokudlala nokuqeda izikole zodaka. UNgqongqoshe wadukisa nePhalamende ethi sezikhona izinkontileka ezizosayinwa ngothishanhloko ekubeni kungekho ngisho uhlaka,” kusho uMaluleke.

Uthe bazonxusa amalungu abo ukuthi adube nomcimbi wokuklomelisa othisha abenza kahle, bahoxise nesivumelwano seminyaka emithathu abasisayina sokuthi kuzoba noxolo futhi ngeke baze baphazamise ukufundisa.

UMnuz Allen Thompson weNatu, uthe bafuna isivumelwano esasayinwa sime njengoba sinjalo kodwa abanakho ukuphawula ngekusasa likaNkk Motshekga.

Uthe othisha ababemaka babehola o-R8 000 kodwa ngokwesivumelwano babezohola iphindwe kabili le mali okungenzekanga.

Okhulumela uNgqongqoshe uNksz Hope Mokgatlhe, uthe uNkk Motshekga ngeke aphawule ngezinsolo ze-Sadtu ngoba akakazitholi.

Ufuna kuphenywe i-SABC emapeketwana

$
0
0

Ungqongqoshe wezokuXhumana uNksz Dina Pule ucele iPhalamende ukuba lihlole ibhodi yenhlangano yezokusakaza i-SABC, ukuthi lisawenza kahle yini umsebenzi.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

UNGQONGQOSHE wezokuXhumana uNksz Dina Pule ucele iPhalamende ukuba lihlole ibhodi yenhlangano yezokusakaza i-SABC, ukuthi lisawenza kahle yini umsebenzi.

“Abantu baseNingizimu Afrika badinga inhlangano yezokusakaza ezobazisa, ibafundise iphinde ibajabulise. Sengicele iPhalamende njengoba kuyilo elihlola amalungu ebhodi ukuthi libheke ukuthi ibhodi liyawenza yini umsebenzi walo wokuqinisekisa ukuthi i-SABC iyazifeza izinhloso eyasungulelwa zona zokugculisa abantu bakuleli,” kusho uNksz Pule.

Ukhuluma kanjena nje kuke kwaba khona uginqigonqo kuleli bhodi njengoba lisanda kukhipha isitatimende esicacisa ukuthi kayilona iqiniso imibiko yokuthi obebambe esikhundleni sokuba yi-Chief Operations Officer (COO), enhlanganweni yakuleli yezokusakaza i-SABC, usebuyiselwe esikhundleni.

Ibhodi eyengamele ukuphathwa kweSABC ikhiphe isitatimende esithi akulona iqiniso ukuthi uMnuz Hlaudi Motsoeneng usebuyiselwe kulesi sikhundla ngemuva kokukhonjwa indlela yibhodi ngeledlule.

Ngemuva kokuxoshwa kukaMotsoeneng, ngoMsombuluko iphephandaba i-The New Age libike ukuthi uSihlalo webhodi yeSABC, uDkt Ben Ngubane, usiguqulile isinqumo sebhodi wambuyisela esikhundleni.

“USihlalo webhodi nephini lakhe kabanawo amandla noma igunya lokuguqula isinqumo esithathwe yibhodi,” kucacisa isitatimende esithunyelwe yibhodi ngalolu daba.

Ibhodi likhipha lesi sitatimende nje, uNgubane noMotsoeneng bacashunwe kwi-The New Age bekuqinisekisa ukuthi uMotsoeneng usebuyele esikhundleni sakhe.

Lokhu kuvuse iziqandu emaqenjini aphikisayo abesephakamise ukuthi ibhantshi ligcwale umoya kuNgubane.

Ibhodi lithe lisazofuna incazelo kuNgubane nephini lakhe, uMnuz uThami kaPlaatjie ngalo mbiko.

Emhlanganweni ibhodi elalinawo ngoFebhuwari 25, e-Cape Town, kwathathwa isinqumo sokuthi akhishwe uMotsoeneng kulesi sikhundla abuyiselwe kwesakudala sokuba ngumphathi wezifundazwe e-SABC.

Esikhundleni se-COO, ibhodi laqoka uMnuz Mike Siluma ukuthi abe yibamba. Nokho naye uSiluma oyintatheli esimnkantshubomvu ephethe uphiko lwezindaba zomsakazo nezisematheni usesulile e-SABC, uzogcina ngoJuni.

Ayikatholakali ingane (2) eduke emasontweni amabili

$
0
0

Usaphithene amakhanda umndeni wakwaMadlala eMahlongwa, eMkhomazi, ngokunyamalala kwentombazanyana eneminyaka emibili osekuphele amasonto amabili ingatholakali.

|||

SANDILE GUMEDE

USAPHITHENE amakhanda umndeni wakwaMadlala eMahlongwa, eMkhomazi, ngokunyamalala kwentombazanyana eneminyaka emibili osekuphele amasonto amabili ingatholakali.

USenamile Girl Madlala kuthiwa wanyamalala ngoFebhuwari 19 kade edlala nengane yakwamakhelwane.

Ngokusho kukamalumekazi kaSenamile, uNksz Ntombilezi Mzelemu wayedlala nengane yakwamakhelwane egcekeni, ngezithuba zabo-11 ekuseni ngenkathi umkhulu wakhe owayebagadile ethi uyobheka wathola ukuthi usenyamalele.

Uthi uma beya kwababonayo abathathu, babanika ithemba lokuthi usaphila futhi uthathwe ngumuntu wesifazane ofuna ukuyobhalisela imali yesondlo.

UNksz Mzelemu uthi babhudula bancama namaphoyisa, akusehli nokudla kwazise bekuyingane ebikhonzwe ngabantu abaningi okubalwa nomakhelwane.

“Sikhathazekile, nokudla akusehli ngoba isikhala sakhe sikhulu kakhulu emndenini. Sesifisa nokuthi oyithathile afike ayilahle emnyango okungenani ukuze siyithole,” kuzincengela uNksz Mzelemu.

USenamile kuthiwa wanyamalala egqoke isiketi esi-pink nesikibha esibomvu.

Okubashayisa ngovalo kakhulu wukwanda kwezigameko zezingane ezinyamalala bese zitholakala sezibulewe ngesihluku noma sezidlwenguliwe.

Bebesho kanje ngenxa yezigameko ezisanda kushaqisa izwe, esaseMkhuze lapho amantombazana amabili atholwa ebulewe, eMlazi kwatholakala intombazanyana eneminyaka eyisishiyagalombili eMzwilili Primary idlwenguliwe yabulawa.

Okhulumela amaphoyisa aseMkhomazi, uLt Gwen Msomi, uthe bayaqhubeka nokufuna umntwana.

Ucele ongaba nolwazi noma oseke wafanisa uSenamile ukuba axhumane nesiteshi samaphoyisa aseMkhomazi kule nombolo: 039 973 6112.

Do ibheyili kwabasolwa ngokubulala ishende likanina

$
0
0

Zinqatshelwe ibheyili izelamani ezabamba unina neshende bezitika ngocansi ekubeni ubaba wazo ekhona edla amabele.

|||

NOKUBONGWA PHENYANE

ZINQATSHELWE ibheyili izelamani ezabamba unina neshende bezitika ngocansi ekubeni ubaba wazo ekhona edla amabele.

Kusuke umsindo eNkantolo yeMantshi eCamperdown ngoMsombuluko ngesikhathi kukhishwa isinqumo sokuthi abasolwa bayenqatshelwa ibheyili.

Amalungu omndeni kaMnuz Nkosenhle (25) noMnuz Mzweleni Sibisi (19), avuke umbhejazane ngesikhathi iMantshi uMnuz T J Jalyard ikhipha isinqumo sokuthi basazotoka.

IMantshi ikhiphe lesi sinqumo ngoba ithi ummeli wabasolwa ubeke izizathu ezingezwakali zokuthi kumele badedelwe ngebheyili.

Ngokuthola ngomthombo ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, iMantshi ikubeke kwacaca ukuthi babhekene necala elibucayi kakhulu.

“IMantshi ivele yathi iyasichitha isicelo sabo yize ngesonto eledlule uMzweleni wayecele ukuthi adedelwe ngoba ufunda uMatric kodwa konke lokho kuvele kwachithwa,” kusho lo mthombo.

Uthe ngesikhathi sebephuma beya esitokisini kusuke isidumo amalungu omndeni nomphakathi befuna ukuphuma nabo kwaze kwasiza amaphoyisa.

“Amaphoyisa asebenze kanzima ngoba abantu bese beyizixongololo enkantolo kwaba nzima ukusebenza. Abanye bebekhala ngokuthi abasolwa baboshelwe into engekho ngoba abakwenzile bakwenziswe yintukuthelo,” kuchaza lo mthombo.

Isidumbu sikamakhelwane obeyisihlobo sabasolwa satholwa ekhaya kwaSibisi kanti kuthiwa bamshaya ngesagila.

Kuthiwa bambona umufi eyongena endlini kanina wafika wazitika ngocansi nonina.

Ngesikhathi esehamba umufi kuthiwa abasolwa bamvimba bamshaya.

Isolezwe like lahabula umoya wokuthi umphakathi uhlukene phakathi ngemuva kwalesi sigameko ngoba kukhona abathi abasolwa ababoshwe kanti abanye bathi abadedelwe.

“Umndeni ufungile ukuthi uzobafunela omunye ummeli ngoba obebamele uhlulekile wukubatholela ibheyili,” kuchaza umthombo.

Umndeni kamufi wakubeka kwacaca ukuthi awunankinga nabasolwa ngoba bayizihlobo zawo futhi akukho gqubu obabambele lona ngasolwa ngakho.

Umyeni kanina wezelamani wathi uyamxolela umkakhe ngokuba neshende wakubeka kwacaca ukuthi usamthanda.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>