Kubuye kwashayeka ingwijikhwebu ecaleni elibhekene nomsubathi wakuleli u-Oscar Pistorius izolo ngesikhathi kuzwakala ukuthi obengumphenyi ophambili wombuso, uMnuz Hilton Botha, usesusiwe ekuphenyeni leli cala.
|||INTATHELI YESOLEZWE
KUBUYE kwashayeka ingwijikhwebu ecaleni elibhekene nomsubathi wakuleli u-Oscar Pistorius izolo ngesikhathi kuzwakala ukuthi obengumphenyi ophambili wombuso, uMnuz Hilton Botha, usesusiwe ekuphenyeni leli cala.
Lokhu kulandela ukuvuka kwamacala ayisikhombisa okuzama ukubulala ayebekwe wona ngo-2011.
Izolo uKhomishana wamaPhoyisa, uGeneral Riah Phiyega, uthathe isinqumo sokuthi ahoxiswe kuleli cala uBotha ukuze liqhubeke ngaphandle kwezinkulumo zokuthi umphenyi walo ugubuzelwe yifu lecala ebe esingethe uphenyo lwecala elibucayi likaPistorius.
UPistorius ubhekene necala lokubulala intombi yakhe, uReeva Steenkamp, eyashona ngemuva kokudutshulwa emzini wakhe endaweni yomntakabani ePitoli.
Uyaphika ukuthi wadubula intombi yakhe ngamabomu kodwa uthi wayecabanga ukuthi udubula isigebengu esasizogqekeza.
UBotha wethule ubufakazi ohlangothini lombuso ngesikhathi kulalelwe isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yasePitoli esifakwe ngu-Pistorius.
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi uBotha ubhekene namacala ayisikhombisa okuzama ukubulala ngesikhathi yena nozakwabo bedubula itekisi ababeyijaha.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uBrigadier Neville Malila, ukuqinisekisile ukuthi uBotha ubhekene nala macala.
Khona izolo isicelo sebheyili sikaPistorius siqhubekile njengoba zombili izinhlangothi okuwumbuso nabameli bakaPistorius bezenza izethulo zokugcina phambi kweMantshi uMnuz Desmond Nair.
Isicelo sebheyili ka-Pistorius singenela osukwini lwesine uma selibuyela namuhla enkantolo. Umshushisi uMnuz Gerrie Nel ngemuva kokulalelwa kobufakazi uthe uzizwa “enelisekile” ngokuqhubeka kwecala.
Ummeli kaPistorius, u-Advocate Barry Roux, uthe uzizwa “ekahle.” U-Roux ukhale ngokuthi amaphoyisa awawenzanga umsebenzi ogculisayo ngesikhathi ephenya icala.
Uthe kuzoba nzima ukuthi umbuso ukhiphe ubufakazi bokuthi uPistorius wabulala ngenhloso. Uthe ukube uPistorius wayehlose ukubulala uReeava wayengamdubula noma yikuphi.
Utshele inkantolo ukuthi ubufakazi obuntekenteke obethulwe ngumphenyi wecala osemisiwe uBotha bukhombisa ngokusobala ukuthi umbuso ubamba uyayeka, awuyazi into oyenzayo.
UNel yena uthe kunzima ukukholwa ukuthi uPistorius wayeka intombi yakhe wangayivusa ekubeni ekholwa wukuthi uhlaselwa yizigebengu.
Kulindeleke ukuthi kuqhubeke namuhla ukulalelwa kwabameli bephikisana mayelana nokucatshangwa ukuthi kwenzeka ngelanga okwabulawa ngalo u-Reeva owayengumkhangisi.