‘Ubaba ubejwayele ukumshaya umama. Bese kunesikhathi lokhu kwenzeka kodwa besingazi ukuthi usengagcina ngokumbulala ngale ndlela.”
|||NONTUTHUKO NGUBANE
‘UBABA ubejwayele ukumshaya umama. Bese kunesikhathi lokhu kwenzeka kodwa besingazi ukuthi usengagcina ngokumbulala ngale ndlela.”
Lawa ngamagama ashiwo yindodana yephoyisa likaMasipala weTheku elingqokloze ngenhlamvu unina maqede nalo lazidubula ngeSonto ebusuku, eMkhumbane kulandela ingxabano okuthiwa ibithinta umjolo.
UCaptain Sipho Nkwanyana (39) nenkosikazi yakhe uConstable Sibongile Smangele Nkwanyana (38), izidumbu zabo bezidindilize egcekeni emzini wabo okuBowood Crescent ngeSonto phakathi kwamabili.
Indodana yabo eneminyaka engu-12 ebihlezi nodadewabo oneminyaka engu-15, yibona abashayele amaphoyisa ucingo bewabikela ukuthi abazali babo badubulene emuva kokuba indodana izibonele lesi sigameko.
Indodana yalezi zithandani, igama layo engeke silidalule ngenxa yeminyaka yayo, itshele Isolezwe ukuthi abazali babo bebehlala ngokuklwebhana kodwa akubonile akasoze akukhohlwa.
“Ngivule umnyango ngabona umama ehayiza ephuma emotweni abebehlezi kuyo. Umama ungimemezile ethi angivale umnyango, ubebaleka ezama ukuphuma ngesango.
“Ubaba ubemjaha ngesibhamu. Umficile, wamdubula kathathu. Bengibukela, kuthe uma eselele phansi umama igazi ligcwele phansi, wazidubula naye ubaba,” kusho indodana yabo.
Ithe ngaleso sikhathi yona ibilunguza ngewindi ngoba kade ekhiyile emnyango, elandela umyalelo kanina.
Yena nodadewabo obekwelinye ikamelo babe sebethinta amaphoyisa ngoba sebebona abazali babo bedindilizile phansi bengasanyakazi.
Lo mfana ofunda uGrade 7 uthe bebesaba, bekhala, bengazi ukuthi kumele benzenjani.
“Ngithinte amaphoyisa ngawatshela ukuthi ubaba nomama sengathi bashonile, bagcwele igazi futhi balele phansi. Ubaba nguyena umuntu obethintwa ngomakhelwane uma bezizwa bengaphephile ngoba bebazi ukuthi uyiphoyisa, kodwa ngeSonto bekumele ngithinte amaphoyisa ngoba nakhu yena esebulele umama. Ngosuku nje olulodwa abazali bami bobabili bashonile, sengiyintandane,” kusho yena ekhala.
Lo mfana ubebuye achiphize izinyembezi kubonakala ukuthi ubone lukhulu kodwa ubexoxa konke akubeke kucace.
Isolezwe lithole ukuthi lezi zithandani zaxabana kulandela ukuthi uNkk Nkwanyana ebone umyeni wakhe ezikhiphile nomunye wesifazane.
Kuthiwa uNkk Nkwanyana ube eseya ekhaya kubo eyopholisa ikhanda.
Esebuya kusuke umsindo, uNkwanyana esola unkosikazi wakhe ngokuthi naye uyajola njengoba ebengakwazi ukumthola ocingweni (ngesikhathi ekubo).
Lifika kulo muzi izolo, Isolezwe libingelelwe yingqumba yenhlabathi egcekeni, kugcwele izimoto okubalwa nezamaphoyisa kamasipala, kucaca ukuthi lukhulu oluvelile.
Ngemuva kwendlu bekupakwe izimoto ezintathu zalezi zithandani, iToyota Fortuner, iTazz ne-Audi.
Bekuyaluza abantu, kusobala ukuthi lukhulu olwehlile.
UMnuz Musa Nkwanyana, ongumfowabo omdala kaNkwanyana, uthe nabo bakhungathekile ngalesi sigameko esibavelele.
“Ngithintwe ngumama eseVerulam engitshela ukuthi uthintwa amaphoyisa amtshela ukuthi umfowethu nomakoti sebeshonile, umfowethu umdubulile. Uma sithola umfowethu ubecikwe wukuthi umakoti uhambile waya kubo (eNtuzuma) kusukela ngoLwesihlanu, uma emshayela ucingo ubengamtholi.
“Kuthe esebuya umakoti ngeSonto baxabana. Umcele ukuba bayoxoxa emotweni nokuyilapho emkhiphele khona isibhamu. Umakoti uphume wabaleka. Umjahile wamdubula egcekeni wabe esezidubula naye. Bobabili bashonele endaweni yesigameko,” kusho uMusa.
Esinye isihlobo esikhulume neSolezwe, sithe yize uNkwanyana ebeshaya kodwa bebengakulindele lokhu.
“Ubabomncane besazi impela ukuthi uyashaya kodwa besingazi ukuthi angaze ambulale unkosikazi wakhe. Ubengumuntu othulayo futhi nguyena obehlale esikhuza uma senza izinto ezingasile. Sishaqekile ngokwenzekile,” kusho isihlobo.
UNkwanyana ubechazwa njengomuntu othulayo.
Amalungiselelo omgcwabo abengakaphothulwa.
Okhulumelama amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aseCato Manor avule icala lokubulala nedokodo ngokushona kwalezi zithandani ezashada ngo-2001.