Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Yini engizoyixolisela ngengakusho: isilo

$
0
0

ISILO samaBandla, uGoodwill Zwelithini, siyalelwe ukuthi sixolise kwikhomishini yamalungelo abantu ngenkulumo esayenza oPhongolo.

|||

MLUNGISI GUMEDE

Ebika eseSandlwana

ISILO samaBandla, uGoodwill Zwelithini, siyalelwe ukuthi sixolise kwikhomishini yamalungelo abantu ngenkulumo esayenza oPhongolo nyakenye okuthiwa yayigqugquzela inzondo ebhekiswe kwabokufika.

Lokhu kuvezwe yisona uqobo isilo ngesikhathi sethula inkulumo yaso yosuku esikhumbuzweni sempi yaseSandlwana eNquthu ngoMgqibelo.

Sithe kube kuningi ukuhlaselwa esikutholile, ikakhulukazi ngonyaka odlule kodwa sathi lokho ngeke kuze kusiguqule ekubeni nguMzulu.

“Namuhla uhlaka lwekhomishini yamalungelo abantu lubhala luyacisha ngalolu daba, bathi akukho okubi engakukhulumayo kepha khona lapho bathi angixolise. isimanga kabasho ukuthi ngixoliseleni uma bethi kanginacala,” sisho kanje.

Isilo sithe ngokwesiko lamaZulu igama elithi ngiyaxolisa akulona elokushiwo noma yikanjani kodwa lowo olisebenzisayo kumele abe nesizathu sokuthi yini leyo ayixoliselayo.

“Mina-ke namanje angikazi ukuthi kuthiwa angixoliseleni. la malumbo engigilwa wona awagcini lapho ngoba ngenyanga edlule le khomishini maZulu ingithumelele umbiko wayo ethi ngowesikhashana kepha inqaba ukuthi lo mbiko ubhalwe ngesilungu kodwa into abebeyiphenya ibhalwe ngesiZulu, ikhulunywe yinkosi yamaZulu kumaZulu.

“lesi senzo sokuba ngibhalelwe umbiko ngesilungu ekubeni udaba oluphenywayo lwenziwa ngesiZulu ngisithatha njengokudelela nina maZulu,” sisho kanje.

Sithe sesiyibhalele incwadi ikhomishini siyitshela ukuthi lo mbiko siwufuna ngesiZulu.

“Ngalokho ngifisa ukudlulisa ukuthi ngokwezibalo ezikhishwe yilabo abasibalayo amaZulu anelungelo lokuthi ulimi lwawo luhlonishwe, ngalokho sesikhathele ukufuqwa ngezilimi zabanye abantu,” sisho kanje.

Sithe kuyahlupha ukuthi kukhulume abantu ngamasiko abanye kodwa bengesiyo abalolo hlanga.

“Uma le khomishini imele ukuvikela amalungelo abantu nathi maZulu kuyomele isivikele futhi isihloniphe,” sisho kanje.

Kwasuka uthuli lwezichwe nyakenye kwahlaselwe abokufika emuva kwenkulumo okuthiwa yenziwa yiMbube oPhongolo.

ISilo saze sabiza imbizo enkundleni yezemidlalo eMoses Mabhida lapho sasikhuza khona lokhu kuhlasela okwasekukapakele nakwezinye izifundazwe.


Amaphoyisa atholane nezigebengu

$
0
0

KULIMALE amaphoyisa amabili aseJozini emuva kokudubulana nabebesolwa ngokubamba inkunzi emahhovisi kumasipala wale ndawo.

|||

ZANELE MTHETHWA

KULIMALE amaphoyisa amabili aseJozini izolo emuva kokudubulana nabebesolwa ngokubamba inkunzi emahhovisi kumasipala wale ndawo.

Kulesi sigameko esenzeke ngezithuba zabo 3 ekuseni, kuthiwa abasolwa abayisithupha bahlangane namaphoyisa eMlotheni, khona eJozini emuva kokubaleka emahhovisi kamasipala.

“Bavulele ngenhlamvu emaphoyiseni kwalimala amabili.

Abasolwa babaleke ngemoto, amaphoyisa angeniswa esibhedlela. Kuvulwe amacala okuzama ukubulala kanti kusathungathwa abasolwa,” kusho uBrigadier Jay Naicker okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal.

Ngesikhathi sokuloba uNaicker uthe ngeke bakwazi ukukhipha eminye imininingwane njengoba amaphoyisa ebesaphenya.

Uthe abanye ozakwabo bebesaphenya nokuthi abasolwa kukhona yini abaphumelele ukukwenza emahhovisi kamasipala.

Lesi sigameko senzeke kusadlule usuku amaphoyisa edubulane nabasolwa eMalvern, eThekwini ngoLwesihlanu, kwasala abathathu enkundleni. Abashonile bayasoleka emizamweni yokweba iToyota Tazz khona eMalvern.

Kwesinye isigameko izolo kusale enkundleni umsolwa KwaMashu emuva kokudubulana namaphoyisa. Lo mlisa engakatholakali imininingwane yakhe kuthiwa ubedubula omunye kwa-F. Umlisa obedutshulwa ngumsolwa usesibhedlela.

Kubikwa ukuthi amaphoyisa abesebenza kule ndawo ngesikhathi ehlangabezana nalesi sigameko, azama ukusindisa obedutshulwa. Kuthiwa umsolwa ubejaha ngesibhamu lo mlisa, okuthe amaphoyisa ezama ukumumisa wadubula kuqala.

“Amaphoyisa aphendule ngenhlamvu. Umsolwa nabegijimisana naye bangeniswe esibhedlela, umsolwa washona. Amaphoyisa asithathile isibhamu somsolwa,” kusho uNaicker.

UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-General Mmamonnye Ngobeni, uthe kuyakhathaza ukuthi nsuku zonke amaphoyisa ayahlaselwa elwa nobugebengu. Uthe amaphoyisa ngeke aphele amandla ngenxa yezigameko zokuhlaselwa kwawo.

Mayelana nokulimala kwamaphoyisa eJozini, unxuse umphakathi ukuthi usebenzisane nawo ekuzameni ukubamba abasolwa ababalekile.

Kwenzeka lokhu nje ngoLwesihlanu uMmamonnye uvakashele umndeni wephoyisa ebelisebenzela esiteshini samaphoyisa iDurban Central, elidutshulwe ngephutha nguzakwabo beqeqeshwa eMgungundlovu. UKhomishana nethimba lakhe bebeyoduduza umndeni kaSergeant Malcolm Goodwin oshone ngoLwesithathu.

Kuthiwa yena nozakwabo bebeyoqeqeshelwa ukudubula kanti kusolwa ukuthi bekukhona inhlamvu eyodwa esibhamini. UMmamonnye uthe ukushona kukaGoodwin obesebenza ngokuzikhandla kulo mbutho, kubathuse bonke.

“Lolu daba luzophenywa yi-Ipid (Independent Police Investigative Directorate) ngajuba abanye ongoti bamaphoyisa ukuthi nabo baphenye. Sizoqinisekisa ukuthi umndeni ugcina ulitholile iqiniso ukuze ukhululeke,” usho kanje.

Owafikela emotweni ushonele kuyo

$
0
0

ENYE yezingane ezivaleleke emotweni zashona kuthiwa ishone ngendlela eyafika ngayo emhlabeni.

|||

ZANELE MTHETHWA

ENYE yezingane ezivaleleke emotweni zashona eClermont ngesonto eledlule kuthiwa ishone ngendlela eyafika ngayo emhlabeni – yabelethelwa emotweni endleleni kuyiwa esibhedlela.

Lokhu kuvele izolo emngcwabeni ka-Asiphile Sithole (4) noBayanda Sithole (3) abahlobene ngonina abashone ngoLwesibili bevaleleke emotweni okuthiwa ibizokhandwa kwamakhelwane.

Kusinde izingane ezimbili uNokwanda, ohlobene nezishonile, nenye yakamakhelwane ezaphuthunyiswa esibhedlela.

Ekhuluma izolo emngcwabeni uNksz Jabu Khuzwayo othe uBayanda uzalwa ngudadewabo uNontokozo, uchaze ngendlela azalwa ngayo u-Asiphile, ozalwa ngunina wakhe omncane.

“Kuthe uma kwenzeka lokhu ngacabanga indlela u-Asiphile afika ngayo emhlabeni. Unina wayesikwa kwase kubizwa imoto kabhuti Ernest ukuthi imphuthumise esibhedlela. Ngenxa yokuthi wayesesikwa kakhulu, wezwa ukuthi useyateta wacela u-Ernest amsize ambelethise khona emotweni. Ngimangalile ukuthi u-Asiphile uphinde washonela emotweni ebizokhandwa kwa-Ernest,” usho kanje.

U-Ernest ungumakhelwane wezingane ezishonile, ezitholakale emotweni ebizokhandwa egcekeni lakhe. Kusolwa ukuthi bakhohlwa ukuyikhiya imoto, izingane zangena kuyona zancisheka umoya zaze zashona. Kubikwa ukuthi enye yazo yaphuma isiqala ukushintsha nesikhumba.

UBayanda kuthiwa ubenguzinyobulala kunina, uNksz Nontokozo Sithole noMnuz Thulani Hlatshwayo. Kuvele ukuthi ubeseyithemba lokugcina kunina oseshonelwe yizingane ezimbili kangangokuthi useyangabaza ukuthi uyophinda ayithole enye.

UNksz Khuzwayo uthe ngaphambi kokuyodlala emotweni izingane zabonakala ziguqile zithandaza. Ukushona kwazo kube yinto abayichaze njengobizo.

UMnuz Bheki Sithole obekhulumela umndeni uthe abasoli muntu ngokushona kwezingane.

“Ngilahlekelwe wumzukulu nomshana kulesi sigameko kodwa angifuni kusolwe muntu. Ukukhuluma kwethu sisolana, sigxekana ngenke kusiyise ndawo. Kumele samukele ukuthi ukushona kwezingane kuyicebo likaNkulunkulu okunguye kuphela owazi isizathu sokuzithatha zombili zisencane kanje,” kusho uSithole.

Ngesikhathi kusanda kushona izingane umndeni wazikhalela ngokuthi awazi uzongcwaba ngani ngenxa yokuswela imali. Kungenelele izinkammpani ezimbili zabangcwabi – eyaseMzimkhulu iKulungile neNodada Funeral Parlour.

Okhulumela iKulungile Funeral Parlour, uMnuz Mpucuko Mncwabe, uthe bathinteka bezwa ngesigameko kwabezindaba, baxhumana nemindeni ukuze bangcwabe.

Umphakathi ubuphume ngobuningi izolo ngangokuthi kuze kwashoda indawo yokuhlala ehholo.

Amadodana athathe isidumbu ehlomile

$
0
0

Asale enkemile amalungu omndeni obekufanele afihle ngesikhathi kufika amadoda okuthiwa abehlome ngezibhamu ezolanda isidumbu ebesibangwa.

|||

LUNGI LANGA

ASALE enkemile amalungu omndeni waseCliffdale eduze kwaseHammarsdale obekufanele afihle ngempelasonto ngesikhathi kufika amadoda okuthiwa abehlome ngezibhamu ezolanda isidumbu ebesibangwa.

Kuthiwa ngoLwesihlanu kufike amadoda abehlome ngezibhamu athatha ibhokisi ebelinesidumbu sikaNkk Zenzile Ndlovu (76) obekuhlelwe ukuthi afihlwe ngoMgqibelo odlule.

Ngokusho kwendodakazi yakhe uNksz Bawinile Ndlovu inkinga ilokhu iqale eshonile unina. Uthe kusukela eshonile unina kube sekuba nombango phakathi kwakhe nabafowabo abadala athe nabo bebefuna ukumfihla.

UNksz Ndlovu uthe yena nomfowabo omdala kunaye uMnuz Siphiwe Ndlovu bebefuna ukuthi unina afihlwe eCliffdale okuyikhaya athe walakha ngoba ebona lingasekho esimweni ikhaya labo elise-Adams Mission.

“Ngesikhathi ngithola ukuthi useshonile umama ngibe sengibabikela abafowethu. Ngibe sengibatshela ukuthi ngizoqala ngenze amalungiselelo ukuze umama angahlali isikhathi eside emakhazeni kahulumeni. Kube sekucaca ngokushesha ukuthi abahambisani nalokhu ngoba omunye ube eseveza ukuthi ufuna kusetshenziswe owakhe umasingcwabisane ngoba kuthiwa kuzophuma nenkomo,” kusho uNksz Ndlovu.

Uthe kusukela ngaleso sikhathi kube nokungezwani njengoba ethi yena ubatshele ukuthi kungcono ukube bebemnaka unina njengoba sebeveza ukuthi bafuna ukumenzela umngcwabo omkhulu. Uthe abafowabo baluyise eNkantolo yeMantshi yaseHammarsdale udaba okuyilapho okuvunyelwane ngokuthi unina kuzofanele angcwatshwe ngesizotha.

UNksz Ndlovu uthe emuva kokukhulunywa kodaba enkantolo baxhawulene nabafowabo kwangathi bayavumelana ngokuzokwenziwa.

Uthe bamangele ngesikhathi kutheleka amadoda abehlome ngezibhamu esezolanda isidumbu.

“Kuvele kwafika amadoda abehlomile ehamba nabo athatha ibhokisi bahamba nalo. Okubuhlungu ukuthi kuthe noma lingasaphumi endlini kwamemeza bona abafowethu bethi kumama akaphume. Namanje asazi ukuthi uzofihlwa nini, kuphi, kanjani ngoba uma sibafonela abazibambi izingcingo futhi noma sebehamba abashongo. Bagcine ngokuthi bathi bayabuya,” kusho uNksz Ndlovu.

UMnuz Siphiwe Ndlovu ongumfowabo uthe naye usashaqekile ngalesi sigameko. Uthe izingane nazo azikhululekile ngoba zisasaba emuva kwale nto okuthiwa yenzeke kuleliya khaya.

Uthe babize amaphoyisa nawo afike azobona athi kungcono alubuyisele enkantolo udaba.

UNksz Ndlovu uthe akasazimisele ngokulwa ukuthi unina ambiwe uma bemngcwaba ngaphandle kwabo abafowabo. “Umama usehlukumezeke kakhulu. Ugule isikhathi eside kanti nalesi sigameko kufanele ukuba simhlukumezile. Angifuni ukuqhubeka ngimhlukumeze. Kade ngicabanga nje ukuthi ukube bangibangisa kanje umama ngesikhathi esaphila mhlawumbe ngabe uyaphila ngoba wonke umuntu wayezobe ethi ufuna ukumyisa kwabakhe odokotela abangcono, manje abazange bakwazi ukumthengela ngisho uswidi lo,” kusho uNksz Ndlovu.

Ngesikhathi Isolezwe livakashela kulo muzi lifike lisekhona itende elikhombisa ukuthi kukhona umcimbi obuzokwenziwa. NgoMgqibelo abantu abebeze emngcwabeni bashaqekile ngesikhathi bebikelwa ukuthi awusekho. UNkk Doris Sithole ongomunye womakhelwane uthe bamangele ngesigameko sokushaqwa kwesidumbu sikaNkk Ndlovu athe senzeka kukhona omakhelwane ababehambele umlindelo. Izingcingo zabafowabo baNksz Ndlovu bezivaliwe.

Kunyuka ukudla ngenxa yesomiso

$
0
0

Kuzoguga iphakethe ebantwini baseNingizimu Afrika kwazise isiqalile ukunyuka intengo yokudla.

|||

BONISWA MOHALE

KUZOGUGA iphakethe ebantwini baseNingizimu Afrika kwazise isiqalile ukunyuka intengo yokudla njengoba u-12.5kg wempuphu obubiza u-R130 ngoJanuwari wonyaka odlule manje usubiza R181.

Ngokusho kwesazi somnotho uDkt Azar Jammine oyisikhulu sakwa-Econometrix, sesishayile isikhathi sokuthi abantu baseNingizimu Afrika bafunde ‘ukubopha izifociya’ ngoba isimo sisazoba nzima njengoba isomiso sibhokile.

“Ukudla kusazonyuka ngoba abalimi abakwazanga ukutshala ngesikhathi, lokhu kusho ukuthi ummbila uzothengwa kwamanye amazwe. Izindleko zizoba phezulu okusho ukuthi izitolo zizodlulisela izindleko ebantwini. Ukudla sekuqalile ukunyuka futhi isimo sisazoba nzima ngoba umnotho kawenzi kahle emhlabeni jikelele, thina lapha eNingizimu Afrika sizoba nenkinga yesomiso,” kusho uDkt Jammine.

Indlela isomiso esigadle ngayo kuMasipala Ugu, sekukhishwe umyalelo wokuthi abantu abamosha amanzi bazohlawula u-R4000.

Inhlangano ehlinzeka omasipala ngamanzi Umgeni Water nayo isinciphise amanzi ewathumelayo ngo-15%.

Yize eThekwini kuncishiswe amanzi ngo-50% ezindaweni eziseNyakatho kodwa kwezinye amanzi asaphuma njengenjwayelo futhi kawavalwa.

IPhini leMeya yeTheku uNkk Nomvuzo Shabalala, lithe banohlelo lokubhekelela isomiso njengoba bengeze amaloli angu-20 azohlinzeka abantu ngamanzi kusukela ngo-12 emini kuze kube ngu-4 ntambama.

Kukhona nezinhlelo zokuthuthukisa ingqalasizinda neminye imishini yokuphampa amanzi.

Ugqugquzele abantu ukuba babike uma kukhona amapayipi aqhumile noma amanzi axhaxhazayo abangawazi ukuthi avela kuphi ngokuthi bashayele ku-080 13 13 013 noma bathumele i-sms ku-083 707 3013 noma i-e-mail ku-eservices@durban.gov.za.

KuMasipala Ilembe amanzi ayavalwa ngezikhathi zasebusuku ukuze kube khona anele emini, abantu abatholwe bewamosha bayahlawula.

IMeya kuMasipala Ilembe uMnuz Welcome Mdabe yathi inhlawulo izoya ngokuthi utholwe umosha amanzi ngaluphi uhlobo waze wenza isibonelo sokuthi uma uwasha imoto nge-hosepipe uzokhokha imali eningi.

Emadamini imvula ayenzanga mehluko kwazise i-Albert Falls inamanzi angu-37%, Inanda 80%, Mearns 113%, Midmar 46%, Nagle 83%, Springgrove 76%, Hazelmere 35%, Henley azikho izibalo zakhona, Ixobho 15%, EJ Smith 69%, Nungwane 37% bese Umzinto uba ku-100%.

AbaseMgeni bathe bakhathazekile kakhulu ngodaba lwaseXobho ngoba amanzi awekho abantu bakhona basizwa ngamaloli amanzi.

Isolezwe lithinte abezitolo zegilosa ukuthola ngamanani okudla kusukela ezinyangeni ezine ezedlule nokuqhathanisa ukuthi ngoJanuwari wonyaka odlule kwakubiza kangakanani.

Ucwaningo luveze ukuthi ukudla okuningi kwenyukile kanti amanye amanani aphindaphindeke kabili njengesigaxa seklabishi ebesingu-R5 ngonyaka odlule kodwa manje singu-R10 emakethe ekuWarwick Avenue, eThekwini.

Isigubhu samafutha u-5 litre ububiza u-R66 ngonyaka odlule kodwa kulo nyaka ungu-R90.

Kuyalwa abantu bangazifaki ezikweletini

$
0
0

Kugqugquzelwe abantu baseNingizimu Afrika ukuba bangazifaki ezikweletini.

|||

BONISWA MOHALE

KUGQUGQUZELWE abantu baseNingizimu Afrika ukuba bangazifaki ezikweletini njengoba ibhange loMbuso lenyusele i-repo rate ku-6.75%.

I-repo rate yinzalo ekhokhwa ngamabhange uma eboleke imali kwibhange loMbuso.

Izolo umphathi webhange loMbuso, uMnuz Lesetja Kganyago, utshele abantu baseNingizimu Afrika ukuthi ubengeke akwazi ukungayinyusi imali mboleko njengoba umnotho untengantenga.

Uthe i-repo rate izokwenyuka isuka ku-6.25 iye ku-6.75% bese i-Prime inyuka iye ku-10.25% isuka ku-9.75%.

Isazi somnotho uSolwazi Bonke Dumisa uthe ngebhadi akukho obekungenzizwa ngabebhange loMbuso ngaphandle kokuthi lenyuse imali mboleko.

“Uma ibhange loMbuso linyusa inzalo emalini esuke ibolekwe ngamabhange kusho ukuthi amabhange azonyusa inzalo kuleyo esisuke siyibolekile.

Ngebhadi bebengeke bakwazi ukungayenyusi ngenxa yokuntenga komnotho okwenziwe ukuwa kwe-randi. Phela ngonyaka odlule abatshalizimali baphatheke kabi ngokushintshwa kongqongqoshe nangenkinga yesomiso. Isimo sisazoba nzima, abantu abahola kancane yibona abazosala bengenayo imali. Uma unesikweletu sebhondi kusho ukuthi uzokhokha imali ethe xaxa, isitatimende sizongena kusasa sisho ukuthi usuzokhokha imali eyengeziwe,” kusho uDumisa.

Unxuse abantu ukuba bangalokothi bathenge ngesikweletu ngoba isimo sizobanjena kule minyaka emibili ezayo.

Yize izinto zibabhedela abantu baseNingizimu Afrika, uDumisa uthe kubantu bangaphandle kusho ukuthi impahla yaseNingizimu Afrika izobe icoshwa ngamanani aphansi ngisho abafuna ukuza eholidini bazobe bekhokha kancane.

UMnuz Sizwe Nxedlana oyi-Chief Economist e-FNB uthe kumele samukelwe isinqumo esithathwe yibhange lombuso ngoba umnotho bewukhula kancane futhi kusazoba nzima njengoba isomiso sizokhuphula intengo yokudla kunyuke nekagesi.

“Ukunyuswa kwemali mboleko kuzonikeza abatshali zimali ithemba lokuthi siwukhathalele umnotho wethu kubagqugquzele ukuthi baqhubeke nokuyifaka. Ukube ibhange lombuso aliyinyusanga imalimboleko bekusho ukuthi umnotho uzoqhubeka nokuntenga,” kusho uNxedlana. Ugqugquzele abantu ukuba baxoxisane namabhange abo ngohlelo lokukhokha izikweletu.

Kushiswe inkantolo yenkosi bebhikisha

$
0
0

Umphakathi waseNgudwini, eShowe kusolwa ukuthi yiwona oshise inkantolo yenkosi yaba umlotha.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

UMPHAKATHI waseNgudwini, eShowe kusolwa ukuthi yiwona oshise inkantolo yenkosi yaba umlotha ukhala ngentuthuko othi uyizwa ngendaba.

Isimo kuthiwa sishubile kule ndawo njengoba umphakathi uvale umgwaqo ubhikisha kusukela ngoMsombuluko ufuna iMeya uMnuz Thelumoya Zulu izochaza.

Kuthiwa umphakathi ubulindele iMeya nobuholi bayo ngoLwesithathu, kuthe uma bungasafiki bavuka umbhejazane bashisa inkantolo yenkosi yaba wumlotha.

Ngokusho kokhulumela amalungu omphakathi uMnuz Zithulele “Dokotela JD” Gcwensa umphakathi unezikhalo ngogesi, umgwaqo nezindlu.

“Umphakathi ubumasha ufuna intuthuko kusukela ngoMsombuluko. NgoLwesithathu besilindele imeya nabaholi ukuze bezokhuluma nathi. Sizwe kuthiwa iMeya ijike endleleni yangabe isafika kubantu. Umphakathi ubuthukuthele kakhulu ngalokhu. Sizwe sekuthiwa kushiswe inkantolo yenkosi. Asazi ukuthi lo monakalo udalwe ngubani. Singumphakathi esikufunayo yintuthuko. Sigcina kukhulunywa ngayo kodwa asikaze siyibone kule ndawo. Abantu banengekile, kade balinda ukuba bafakelwe ugesi,” kusho uGcwensa.

Ikhansela lendawo uMnuz Njabulo Zulu lithe lishaqekile ngendlela umphakathi oziphathe ngayo.

“Sekuyacaca ukuthi lo mbhikisho akuwona owentuthuko kodwa uthintene nepolitiki.

“Intuthuko ikhona kule ndawo. Kumanje kukhona osonkontileka bakha umgwaqo, izindlu ngeke kuphele uJanuwari zingakhiwe. Konke lokhu osekwenziwa, umphakathi uze ushise nenkantolo, kuyamangaza,” kusho uZulu.

Ukuphikisile ukuthi umphakathi ushise inkantolo ngoba naku imeya beyilindelwe yangafika.

“Imeya ifikile endaweni kodwa umgwaqo ubuvalwe ngamatshe nangamathayi avuthayo. Asikwazanga ukungena ukuze sizokhuluma nomphakathi,” kusho uZulu.

UNdunankulu ebukhosini baKwaZulu uMnuz Zwangobani Shandu uthe abaphephile nhlobo njengoba umphakathi ushise inkantolo yenkosi.

“Esingakusho nje wukuthi ubukhosi bonke baKwaZulu abuphephile kulandela ukushiselwa inkantolo. Ngokwazi kwami umphakathi ububhikisha kusukela ngoMsombuluko, ufuna intuthuko. Lokhu kuphethe ngokushiswa kwenkantolo. Asazi ukuthi kuhlangana kanjani nokushiswa kwenkantolo,” kusho uShandu.

Isolezwe lithole ukuthi khona izolo umphakathi ubusaqhubeka nokuvala umgwaqo ufuna izimpendulo kubaholi mayelana nentuthuko.

Usebaqedile ngesibhaxu umama oyibhoklolo

$
0
0

Asephila ngokwesaba amalungu omphakathi wakwa-J, KwaMashu ngenxa yowesifazane abathi usebaqedile ngesibhaxu.

|||

S’MANGELE ZUMA

ASEPHILA ngokwesaba amalungu omphakathi wakwa-J, KwaMashu ngenxa yowesifazane abathi usebaqedile ngesibhaxu kepha agcine engaboshwa ngoba enabangani abangamaphoyisa.

Bathi sebekhathele ‘yibhoklolo’ elingumakhelwane wabo, elibahlalise lubhojozi emizini yabo.

Osanda kushaywa nguye lo wesifazane okuthiwa uneminyaka ewu-57, nguNksz Zama Mokoena (22), othe umsolwa umshaye ngezitini wathi uyadelela ngesikhathi behlangana emgwaqweni ngoLwesibili.

“Lo mama akakaze angifune ngisho ngisemncane. Njalo uma engibona uvele akhiphele kumina isibhongo sokuthi wayengezwani nomama. Angazi ukuthi mina ngingenaphi engxabanweni yabo futhi umama washona ngo-2007.

“Ngokuzwa kwami baxabana kudala nami ngiseyingane kodwa uma esibona nodadewethu uvusa leyo ngxabano,” kusho uNksz Mokoena.

Uthe ngoLwesibili ubebuya esitolo ngesikhathi etholana phezulu nomsolwa emgwaqweni.

“Ngivele ngabikelwa ngizophambana naye ngoba bengazi ukuthi uzongithuka asho konke akuthandayo. Uvele wangithethisa wathi kade wayefisa ukuhlangana nami ngoba ngihlale ngimdelela. Ngivele ngathula ngoba bengithukile, wathatha izitini ebezisemgwaqweni wangishaya ngazo. Ngisizwe wukuphunyuka ngibaleke kodwa bese ngivele ngopha, neso selivuvukele. Le nzondo yakhe useyidlulisele nasenganeni yami enezinyanga eziwu-18. Njalo uma eyibona emgwaqweni uyithimisela ngamathe. Ngilivulile icala kodwa bengilahlela nje ngoba baningi ebashayayo endaweni kodwa aphunyuke ngoba wazana namaphoyisa. Sengisaba nokuphumela emnyango ngoba uthe akakaqedi ngami, uzongibamba uma sengiya esikoleni sami sasebusuku,” kusho uNksz Moekena.

Udadewabo kaNksz Mokoena, uNksz Thandeka Mokoena (29) uthe unovalo njengoba kumele abuyele emsebenzini e-Underberg ngeSonto, ngoba uZama nomunye udadewabo omncane bazosala bodwa.

“Sifisa ukuvikeleka kulo mama. Sekukaningi senza izincwadi ezimvimbela ukuthi angahlangani nathi kodwa lokho akumvimbi. Inkinga wukuthi lo mama uyasatshwa lapha endaweni.

“Usanda kugwaza umakhelwane, kwaze kwakhishwa incwadi yokuthi akaboshwe ngoba engayanga enkantolo, kodwa sisambona etanasa emgwaqweni. Baningi asebangcolise amagama abo ngokubaqambela amanga emaphoyiseni, avule icala kuqala uma ebashayile,” kusho uNksz Mokoena.

Omunye umakhelwane uthe sebeze basole ukuthi lo wesifazane mhlawumbe ubhema iwunga ngoba uhlala nabafana abayibhemayo.

“Udlala izidakamizwa nje, akahlanyi. Mina wangivimba emgwaqweni wangithuka, uma ngimkhuza wakhipha ummese wangigwaza. Sikhathele uyena, sifisa athathe okungokwakhe ahambe kule ndawo,” kusho umakhelwane.

Owayengumakhelwane kamsolwa ongathandanga ukudalulwa, uthe yena nomndeni wakhe baqoka ukuthutha bayohlala kwenye indawo ngoba sebekhathele ukuhlukunyezwa ngumsolwa.

“Thina sathutha ekhaya ngoba sesikhathele ukuthukwa yilo mama. Bekuthi noma simbike emaphoyiseni, amacala akhona avele ashabalale. Sabona kungcono sihambe kunokuthi kugcine sekuphume isidumbu. Ungumuntu onochuku futhi ongakuthandi ukuthula,” kusho lo owayengumakhelwane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal, uMajor Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aKwaMashu avule icala lokushaya, umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo yaseNtuzuma namhlanje.


Usola umngani ngokugoloza no-R100 000

$
0
0

OWESIFAZANE waseNtuzuma obengumhlengikazi osathatha umhlalaphansi uthuka izanya kulandela ukusatshiswa wumngani wakhe athi wayemboleke u-R100 000.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

OWESIFAZANE waseNtuzuma obengumhlengikazi osathatha umhlalaphansi uthuka izanya kulandela ukusatshiswa wumngani wakhe athi wayemboleke u-R100 000.

UNkk Duduzile Sikhakhane (59) utshele Isolezwe ukuthi akasakwazi ukuhamba akhululeke kulandela ukusatshiswa wumngani wakhe ngokumshaya kulandela ukunqaba ukumbuyisela imali engu-R100 000 amboleka yona ngoDisemba 2013.

UNkk Sikhakhane onezingane ezintathu uthe umngani wakhe usehambela kude njengelanga lasebusika njengoba engasasigcini isisthembiso sokukhokha imali ayeyibolekile.

“Ngo-2013 ngangigula kakhulu ngiphethwe izinyawo. Kwaba nzima ukuqhubeka nokusebenza, ngaze ngashiya umsebenzi. Umngani wami naye ongumhlengikazi, engangimtshela zonke izindaba zami, ngabe sengimazisa ukuthi kuphume imali emsebenzini. Wangitshela ukuthi uxakekile ucela ukuba ngimtsheleke u-R100 000 uzowubuyisa ngoJanuwari 2014. Wayicela ngoDisemba imali. Ngabona isikhathi ayesisho sisincane, ngaba nethemba lokuthi uzoyibuyisa ngoba ngangimethemba. Kuze kube yimanje imali yami akasafuni ukuyibuyisa. Kumanje akasavumi ngingene emzini wakhe. Uma ngifika noma ngimemeza angisavumelekile ukungena kwakhe. Ungithembise ukuthi uzongishaya uma ngilokhu ngimbelesela ngemali, sengiyasaba nokuthi uzongithengela izinkabi,” kusho uNkk Sikhakhane.

Isolezwe libone isitatimende sasebhange likaNkk Sikhakhane lapho kuvela khona ukuthi u-R100 000 wakhishwa wafakwa kwiSenzakahle Co-operative, okuwumfelandawonye webhizinisi umngani wakhe ayingxenye yalo.

“Ngihlukumezekile kakhulu ngodaba lwemali yami ngoba izingane zami azikwazi ukuqhubeka nesikole ngenxa yayo le mali engayinikeza umngani wami. Okwenza ngamnikeza imali wukuthi naye wayengisiza ngesikhathi ngisagula kakhulu ngiphethwe izinyawo. Bengingazi ukuthi uzongijikela angithembise induku uma ngifuna imali yami,” kusho uNkk Sikhakhane.

Uthe kukaningi eya esiteshini samaphoyisa eNtuzuma kodwa amaphiyisa afike amhleke.

“Ngiphenduka inhlekisa esiteshini, bangibuze ukuthi mina ngangenziwa yini ukunikeza abantu imali engaka. Bathi icala alikho ngoba ngazenzela ngokuthanda. Uma ngivula elokusatshiswa bathi nami angihlukane nokuyofuna imali yami,” kusho uNkk Sikhakhane.

Isolezwe lithinta umngani kaNkk Sikhakhane, kunowesifazane ophendule ucingo wazibiza ngoNksz Nomusa Ntuli othe, umngani walo wesifazane usemsebenzini kodwa angathintwa namhlanje.

“Useze waya emaphepheni nalolo daba. Lowo mama (uNkk Sikhakhane) wayephunyelwe yimali yakhe, wacela ukungena kwi-co-operative. Wayesefaka imali yakhe. Ekuhambeni kwesikhathi wayengasafuni ukuqhubeka nebhizinisi wabe esebuyiselwa imali yakhe. Akulona iqinisiso ukuthi uyakweletwa. Nomngani wakhe lona athi uyamkweleta uzokutshela udaba olufanayo,” kusho uNksz Ntuli.

UNkk Sikhakhane ethintwa ngalokho uphikile wathi imali akayazi futhi akazange angene kwi-co-operative.

‘Akekho oyongikhipha ku-ANC’

$
0
0

UTHWALE kanzima umholi we-ANC emngcwabeni obusingethwe yiSACP.

|||

CELANI SIKHAKHANE

UTHWALE kanzima umholi we-ANC emngcwabeni obusingethwe yiSACP, obuseNtshanga kaMnuz Phillip (68) Dlamini ngesikhathi ehhewulwa amaKhomanisi abengafuni nokuyizwa indaba kaKhongolose. Lokhu kungenxa yokuthi kusolwa wona ngabantu abahlasele emhlanganweni obukwaNdokweni, eNtshanga kwashona kuwo abantu ababili.

UMfundisi Sipho Gcabashe oyilungu lesigungu sesifundazwe se-ANC, ugcine eselanyulelwa yiphini likaSihlalo weSACP uNkk Nomvuzo Shabalala noSihlalo uMnuz James Nxumalo, wagcina ekhulume kanzima.

“Ngisijwayele lesi simo, angisixwayi ngakho ngizoqhubeka ngikhulume ngoba ngiyabazi abantu uma bethukuthele banjani. Nakuba kunjalo ngicela nazi ukuthi izikhalo zenu ziyabhekisiswa. Nokho inkinga esinayo wukuthi indaba yokuvinjelwa kwabantu ukuba bathole ubulungu be-ANC iyenzeka futhi sibhekana nayo nsuku zonke. Akuyona inkinga yalapha eNtshanga kuphela kodwa ikhungethe zonke izindawo,” kusho uGcabashe osheshe waqeda ukukhuluma sebemkhipha ngengoma.

Ngaphandle kwalokho kucace bha kulo mngcwabo kaDlamini ukuthi uqhekeko lushubile phakathi kwe-ANC neSACP.

Ubungafunga ukuthi wumngcwabo womholi weqembu eliphikisayo ngendlela obekubaliswa ngayo nge-ANC ngokufa kukaDlamini.

UDlamini ubengelona ilungu leqembu lezepolitiki kuhlanganisa nayo iSACP kodwa uphelezelwe njengeqhawe lomzabalazo, wahlonishwa ngobulungu obukhethekile bokuba yiKhomanisi.

Ushone esethathe impesheni ngemuva kokusebenza engadini yesiteshi samaphoyisa saseNtshanga.

Iphini likaNobhala Jikelele weSACP uMnuz Solly Mapaila, lithe bayazi ukuthi bekuzosocongwa uNxumalo kanti basola ikhansela lendawo ukuthi liyathinteka kulokhu kuhlasela ngakho bafuna i-ANC ilimise noma ilixoshe.

Utshele amalungu ukuthi yisikhathi sokuba azivikele alwe angasongi izandla uma ehlaselwa ngoba amaphoyisa ngeke ahlale eseduze kwawo.

UNxumalo uthe ngeke basole i-IFP ngokubulawa kukaDlamini noMnuz Bongani Dladla yena obulawe ngoLwesine obelandulela iSonto lokuhlaselwa kwe-SACP.

“I-IFP sasayina nayo isivumelwano soxolo futhi sayiqeda lapha eNtshanga ayikho kodwa inkinga ekhona kunenkabi eyasuka ematekisini ibulala abantu yangena kuKhongolose. Yiyo lena eqeda abantu futhi okumanje iphila kamnandi ekubeni abantu eyayibulala nabo bedonsa odilika ejele. Nokho ngeke ngiyibize ngegama. Engifisa ukukusho wukuthi mina akekho umuntu oyongikhipha ku-ANC ngisho inhlamvu ngeke ingixoshe ngoba sihlushwa omafikizolo. Okubuhlungu kakhulu wukuthi ubaba uDlamini ubulawe sisababaza ukudutshulwa ngesihluku kukaDladla obephakanyiselwe ubukhansela. Lokhu kusivusele iminjunju nemibuzo ngokusocongwa kukaMxolisi Ngwane naye owayephakanyiselwe ubukhansela. Mina ngibonga amadlozi eSACP, obaba uTambo noHani ukuba ngigcine ngingayanga kulo mhlangano ngoba angazi ukuthi kwakuyokwenzekani,” kusho uNxumalo.

Uthe okubuhlungu kakhulu wukuthi ihholo eliqanjwe ngomuntu abaqala naye i-ANC ne-UDF eNtshanga iMichael Gwala akasavumelekile ukulisebenzisa.

UNobhala weYCL eNtshanga uMnuz Sbusiso Mthombeni, uthe igazi labantu beSACP ababulawayo kuhlanganisa noDlamini, liyobuzwa kubaholi be-ANC .

Uthe bafuna ukunikwa ilungelo lokungenela ukhetho ngokuzimela beyiSACP ngoba isibahlukumeze kakhulu i-ANC.

UMnuz Richard Mkhungo weSanco uthe kugcwele amasela ku-ANC antshontsha amagatsha aphinde afune kuqalwe phansi ingqungquthela okubalwa nokwakhethwa kuyo uNxumalo.

UNkk Shabalala ucele ukuba kuqiniswe ezokuphepha kuNxumalo nakuMnuz Malombo Nxumalo ongumfowabo nogaqele ukuba ikhansela.

Laba bobabili abazange baphakanyiswe emhlanganweni wokuba amakhansela obusegatsheni le-ANC ngosuku okwahlaselwa ngalo abeSACP.

Ngisho umfundisi obephethe izwi, uMfu Nhlanhla Ndlovu, uthe uMalombo kumele avikelwe.

I-SACP ibhaliswe njengeqembu lezombusazwe ngaphansi kweKhomishana ezimele yokhetho i-IEC.

Uhlelo lokwenza ngcono imiphumela kamatric ‘luyizifiso’

$
0
0

UNkk Angie Motshekga, uchaze imiphumela yaseKZN, Limpopo ne-Eastern Cape yangonyaka odlule njengeshwa.

|||

Thami Magubane

Yizifiso nje lezo.

Lena yindlela elumelayo alibona ngayo amalungu ekomiti elibhekele ezemfundo noMnyango wezeMfundo uhlelo lokwenza ngcono imiphumela engagculisi kamatric yangonyaka odlule.

Uhlelo lwethulwe nguDkt Enoch Nzama, iphini lomqondisi-jikelele obhekelele ukuhlelwa kwezemfundo, elubhekise ekomitini lezemfundo esifundazweni nasemalungwini oMnyango weMfundo eyisiSekelo eThekwini ngoLwesihlanu.

Lamakomiti womabili aqede isonto lonke evakashela izikole ezehlukene esifundazweni. Ukuvakashela kwawo bekubangwa wukuthi iKwaZulu-Natal ishaye udaka emiphumeleni kamatric ukwedlula ezinye izifundazwe iminyaka ilandelana.

IKwaZulu-Natal, enabafundi abaningi, yehle kakhulu ngokwezibalo njengoba ithole u-60% kamatric okuchaza ukuthi yehle ngo-8% uma kuqhathaniswa neminye iminyaka. Ngokujwayelekile isibalo sokuphasa kamatric bekuba u-75.8% kuya ku-70%.

UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, uchaze imiphumela yaseKZN, Limpopo ne-Eastern Cape yangonyaka odlule njengeshwa.

Kulo mhlangano bekukhulunywa ngezinhlelo okuhloswe ngazo ukulungisa izinkinga kodwa amalungu ekomiti athi uhlelo aluthi shu.

Kuvele ukuthi inkinga enkulu kuba yindaba yolimi olusetshenziswayo njengoba abanye abafundi behluleka ukuluqondisisa kahle ikakhulukazi uma sekubhalwa imisebenzi yesikole noma sekubhalwa izivivinyo.

Okunye okuhloswe ngakho ukwenza ngcono isimo, wukuthunyelwa ngesikhathi kwezincwadi zokufunda ezikoleni, ukwandiswa kwamakilasi aqhubeka uma kuvalwe izikole ngokuthi kuhlolwe izinga labafundi, kuthuthukiswe nothisha, ukuqinisekisa ukuthi uhlelo lokufundisa luhamba ngendlela nanokuthi kushaya u-Agasti seluqediwe ukuze kube nesikhathi esanele sokuthi kubuyekezwe konke obekufundwa unyaka wonke. Lolu hlelo luphinde lusabise bonke othisha abehlulekayo ukwenza umsebenzi wabo ngendlela.

Luveza nokuthi kuzoba amathimba aqhamuka esifundazweni azohambela izikole eqinisekisa ukuthi kuyafundwa ezikoleni nanokuthi asikho isikole esingenabo othisha.

Kodwa amalungu ekomitin athe uhlelo lundlaleke kakhulu futhi kunzima ukwenza okuqukethwe yilona, ngakho kuyazifanela nje nokuthi akwenzekanga lutho.

Elinye ilungu lekomiti, lithe: “Lolu hlelo ludinga ukuthi lube nezinto eziwu-10 eziseqhulwini ukuze uMnyango weMfundo ugxile kulo. Ziphi izinhlelo eziwu-10 zoMnyango weMfundo? Lolu hlelo lungagcina lungathi shu nje.’’

ULinda Hlongwa, uSihlalo wekomiti lesifundazwe, uphakamise ukuthi kumele kulethwe abanolwazi ukuze bagqugquzele abafundi. “Lolu hlelo luyinhlakanhlaka, yingakho ngibuza ukuthi kungani singekho isabelo-mali salo.’’

Sizovala imigwaqo futhi: abamabhasi

$
0
0

BAHLONGOZA esinye isiteleka abashayeli bamabhasi kaMasipala weTheku iDurban Transport.

|||

BONISWA MOHALE

BAHLONGOZA esinye isiteleka abashayeli bamabhasi kaMasipala weTheku iDurban Transport abathi abawutholanga umholo kaJanuwari.

Emasontweni amabili edlule abashayeli bamabhasi bamisa yonke into bevala imigwaqo eyehlukene eThekwini ngisho no-N3 befuna amaholo abo kaDisemba ngodli.

Ngokuthola kweSolezwe abashayeli bahola ngomhlaka 25 kodwa uma kuwukuthi uba ngempelasonto amaholo angena ngoLwesihlanu.

Abashayeli abakhulume neSolezwe bathe namhlanje bazimisele ngokuvala umgwaqo omkhulu eMlazi iMangosuthu Highway ngoba bakhathele wukungaholelwa.

Bathe kulokhu abatholanga ngisho nama-payslip kaJanuwari.

“AbakwaTansnat babekucacisile ukuthi ngeke babe nayo imali yokusiholela uma kuphela inyanga. manje kasiqondi ukuthi sizoholelwa wubani.

Ukube besizohola ngoMsombuluko ngabe ama-payslip siwathole ngoLwesihlanu manje asazi kwenzekani.

Sicela uMasipala acacise ukuthi kwenzekani ngathi. ngubani ozosiholela njalo ngenyanga ngoba ngathi sizoba nenkinga efanayo nyanga zonke,” kusho omunye wabashayeli.

Isolezwe lihabule ngomthombo walo ukuthi ngoLwesihlanu bekunomhlangano oyisipesheli obuphakathi kukaMasipala weTheku nabakwaTansnat mayelana nokuholelwa kwabasebenzi.

Umthombo uthe umhlangano waqala ngabo 8 ekuseni kodwa waze waphela ngabo-5.30 ntambama okwenze ukuthi abakwaMasipala bangakwazi ukufaka imali.

Kuze kwaba yisikhathi sokushicilela imibuzo Isolezwe eliyithumelele kwamasipala nakwaTansnat ingaphenduliwe.

Kwale ngisho sebethunyelelwa imibuzo nge-sms abazange bayiphendule.

Ekuqaleni kukaJanuwari amabhasi kaMasipala abengasebenzi ngenxa yokuthi abasebenzi bebengaholeliwe ngoDisemba futhi bengawatholanga namabhonasi.

Kube nenkombankombane phakathi kukaMasipala nabakwaTansnat mayelana nokuthi ngubani okufanele aholele abasebenzi.

Bakhala ngokucanasa kogaye intombi yafa

$
0
0

UMNDENI wowesifazane ukhala ngokucanasa kwesoka olisola ngokuthi limgaye ngogandaganda washona limsola ngomjolo.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

UMNDENI wowesifazane oneminyaka engu-35 ukhala ngokucanasa kwesoka olisola ngokuthi limgaye ngogandaganda washona limsola ngomjolo.

UNksz Hleliphi Somngazi ushonele epulazini iSaxon Halme, ePaddock, ngasePort Shepstone kulandela ukugaywa wugandaganda obushayelwa yisoka lakhe abebexabene nalo.

Kulesi sigameko okuthiwa senzeke ngoJanuwari 23, ntambama, uNksz Somngazi kuthiwa ubesanda kudedelwa esibhedlela eMurchison, ekade engeniswe khona kulandela ukushaywa kanzima yilo isoka limsolwa ngokuqoma.

Kuvele ukuthi lesi sigameko sikhulunyelwa phansi emphakathini ngoba lisatshwa isoka likamufi.

Isolezwe lithole ukuthi isoka likamufi lamdudulela phansi ugandaganda uhamba, labe selimgaya ngawo, washonela khona lapho.

Ugandaganda kuthiwa ngowasepulazini elisebenza kuwo isoka.

Okunenga umndeni kaNksz Somngazi wukuthi kuzo kube manje isoka liyazicanaselala kalikaboshwa. Kuthiwa liqhosha emphakatjini ngokuthi lisibulele iS#&*%#E (lithuka inhlamba).

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane usiqinisekisile isigameko sokugaywa wugandaganda kowesifazane wathi kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso.

“Amaphoyisa asePaddock avule icala lokubulala ngokungenhloso kulandela isigameko esenzeke epulazini iSaxon Halme Farm ngoJanuwari 23. Ngokophenyo lwamaphoyisa owesifazane oneminyaka engu-35 wawa kugandaganda uhamba wabe esegayeka. Washonela endaweni yesigameko. Akekho osaboshiwe ngecala, uphenyo lusaqhubeka,” kusho uZwane.

UMnuz Mcebisi Somngazi uthe unina omncane wahlangana naye eya esibhedlela, wamtshela ukuthi isoka lakhe limshayile lathi lizombulala ngoba uyaqoma.

“Siphatheke kabi siwumndeni ngokungaboshwa komuntu obulale umama. Kuyaziwa ukuthi wayevele emsongele ngokumbulala. Umama ngihlangane naye ngoLwesihlanu eya esibhedlela emuva kokushaywa. Wangitshela ukuthi isoka lakhe lithe lizombulala. NgoMgqibelo ngezwa kuthiwa limgaye ngogandaganda washona. Umuntu owayekhona usitshele ukuthi wamphusha wawa wabe esemgaya ngogandaganda,” kusho uSomngazi.

Okunenga kakhulu umndeni kuthiwa umsolwa uyazihambela emphakathini, aphinde ezakwale ezincoma ngesenzo sokushona kwentombi yakhe.

“Okusiphatha kabi ukuthi akaboshiwe. Ungitshele emehlweni ukuthi ngeke aboshwelwe ukubulala. Uhambe echoma aze athuke umama nasemphakathini , ethi ubeqoma,” kusho uSomngazi.

Bebethunyiwe ‘ababulale’ ababili

$
0
0

Bezithunywe ngunina izelamani ezisolwa ngokushaya zibulale omakhelwane babo.

|||

S’MANGELE ZUMA

BEZITHUNYWE ngunina izelamani ezisolwa ngokushaya zibulale omakhelwane babo uMnuz Sibusiso Dlamini (27) noMnuz Nhlakanipho Ngobese (28) maqede zalaxaza izidumbu zabo kubukwa erenki yamatekisi engaphandle kwasesibhedlela iPrince Mshiyeni, eMlazi, ngoMgqibelo emini.

Lawa ngamazwi kanina kaDlamini, uNkk Sibongile Dlamini (57) wakwa-A, eMlazi othe uzwe ngezihlobo zakhe ebezikhona ngesikhathi indodana yakhe ishaqwa ngendluzula.

Ngesikhathi Isolezwe lihambele kwakhe izolo, uthe yena ufuna umthetho uthathe indawo yawo, akafune kuziphindiselela njengoba enxuse nabafowabo abane ukuthi behlise umoya.

“Kuthiwa laba bafana bakwamakhelwane abathathu bafike ekhaya behamba nabanye ababili. Bamthole esegcekeni eshanela igceke, bamshaya bathi balahlekelwe yimali engu-R5 000 ngesikhathi ekade ehleli nabo. Uthe noma esebatshela ukuthi akayazi leyonto baqhubeka nokumshaya bamfaka ebhuthini lemoto i-VW Polo emhlophe. Kuthiwa unina obebaphelezela umemezile ngesikhathi bemfaka ebhuthini wathi hambani naye niyombulala, wathi “ibulaleni inja ngoba inintshontshele””, kulandisa uNkk Dlamini.

Uthe kumthuse kabi ukuzwa ukuthi unina wabasolwa nguye obengubhongoza wokuthi akubulalwe indodana yakhe ekubeni yena ubesemthathisa okwelungu lomndeni.

“Lo mama siyazana naye kakhulu. Umuntu ebengijwayele ukumsiza uma exakekile. Ngishintsha ifenisha yasekhishini ngakunika yena konke engangingasakudingi. Bengike ngikhiphe imali yami engenakudla ngenzele ukuthi kukhule lezi zingane. Yena ekugcineni uyakwazi ukuma akhiphe izwi lokuthi akubulawe indodana yami. Enye yamadodana akhe ibingumngani womfana wami omncane kodwa ikwazile ukuhlangana nabafowabo kubulawe umfana wami. Yena njengomama bekumele akhuze izingane, eze kimi ukuzobika,” kusho uNkk Cele.

Uthe ubesedolobheni ngesikhathi ethola ucingo lokuthi uSibusiso uthathwe ngabafana bayomshaya.

Unina kaNgobese, uNksz Nomthandazo Ngobese (52) uthe uthukile ngesikhathi kufika abafana bakamakhelwane bemtshela ukuthi indodana yakhe nomunye umfana babafake ibhuthini ngoba bangamasela.

“Ngimzwile umfana wami ememeza ecela ukuphuza amanzi. Sibone ngezingubo abebezigqokile zigcwele igazi ukuthi nabo balimele lapho ebhuthini. Ngibancengile ukuthi babayise emaphoyiseni uma kukhona okubi abakwenzile. Bathe bona abasebenzisani namaphoyisa, bazobashaya bayobaphosa emanzini. Sithe sisayobika udaba emaphoyiseni kwangena ucingo lokuthi kulaxazwe izidumbu zabafana eMshiyeni. Sithe siphuthuma khona sathola ukuthi yibona ngempela. Bebemabokoboko, benezibazi zokushiswa. Benemigodi emzimbeni sengathi bebegxokogxwa nge-driller,” kusho uNksz Ngobese.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseMlazi aphenya amacala amabili okubulala ngemuva kokuthi kutholwe izidumbu ezimbili zabesilisa. “Imbangela yokufa kwabo ayikaziwa, akukaboshwa muntu.’’

‘Samtshela uMbeki ngezincwadi’

$
0
0

ABAHOLI be-ANC abanye abayishiya baya kuCope yibo abebencenga uMnuz Thabo Mbeki ukuba abhale izincwadi asanda kuzikhipha.

|||

CELANI SIKHAKHANE

ABAHOLI be-ANC KwaZulu-Natal abanye abayishiya baya kuCope, ngemuva kwengqungquthela yasePolokwane yango-2007, yibo abebencenga owayenguMengameli wezwe, uMnuz Thabo Mbeki ukuba abhale izincwadi asanda kuzikhipha ngoba befuna acacise konke ayethukwa ngakho.

Sekube nemibono ehlukene ngokukhipha lezi zincwadi kukaMbeki lapho ebeka khona uhlangothi lwakhe ngezinqumo ayezithatha esahola izwe.

Ezinye zalezi zinqumo kubalwa ukuxoshwa kukaMengameli Jacob Zuma ngesikhathi esayiphini likaMbeki ngo-2006.

Abaholi okuthiwa babencenga uMbeki kubalwa uMnuz Mtholephi Mthimkhulu, ongasekho, noMnuz Siyanda Mhlongo owajoyina iCope kodwa wabuye wayishiya.

UMhlongo, owayeyinhloko yemigomo ku-ANC ebuholini bukaMbeki, uthe ziningi izinto ezimbi ebezilokhu zikhulunywa ngoMbeki kodwa engaziphenduli.

“Sake sahlangana nomkhulumeni wakhe uMnuz Mukoni Ratshitanga sinoMtholephi, samtshela ukuthi kumele atshele uMbeki ukuba aqale abhale izincwadi ngoba kunezinto ezazishiwo ngoZwelinzima Vavi, bethi kunongqongqoshe besifazane ababethola izikhundla ngoba belalile. Okunye esasifuna akucacise yindaba yokuxoshwa kukaZuma, eyokuthi ungundlovukayiphikiswa neyodaba lwegciwane lengculazi. Sike saba nomunye umhlangano noSydney Mufamadi eBallito naye ngamtshela ukuthi akayalele uMbeki abhale uhlangothi lwakhe ngoba luyadingeka,” kusho uMhlongo.

Uthe nokho uMbeki ubengathandi ukwenza lokhu kodwa bona bebekubona kubalulekile njengoba egcine esebhala manje.

Umhlaziyi wezepolitiki uMnuz Thabani Khumalo uthe nakuba uMbeki ezibhala lezi zincwadi, kodwa akukho okusha ezikuvezayo ngaye kunalokho zisakhombisa indlela ayesolwa ngayo ngokuba wundlovukayiphikiswa.

“Akukho ongathi kusha kulezi zincwadi azibhalayo. Uma ubheka usaqhuba leya ndlela ayenza ngayo yokuvele akhulume into engeke iphikiswe muntu. Lokhu wayekwenza nangesikhathi esabhala ku-ANC Today lapho ayethi uma esebhalile kucace ukuthi ayikho indlela yokuphikisa umbono asewuvezile,” kusho uKhumalo.

Uthe akubonayo wukuthi uMbeki uzama ukuxhaphaza isimo esikhona ku-ANC sokuthi kunezininga njengoba sekukhona nabafuna abuye azoba ngumeluleki.

Nokho uMnuz Xolani Dube, weXubera Institute, uyakuphika lokhu ngoba uthi lezi zincwadi zikaMbeki zivezela umuntu ongazi ukuthi kwakwenzakalani ngesikhathi sakhe ukuze aqonde lonke iqiniso.

“Kubalulekile ukuba uMbeki achaze ngezinqumo zakhe ayezithatha ngoba kuningi obekukhulunywa kodwa yena engakaze asho lutho. Okunye wukuthi akukho okwenza abe ngundlovukayiphikiswa kulezi zincwadi ngoba uma ezibhala zivula ithuba lenkulumo-ngxoxo, lapho abantu bekuchitha akushoyo abanye bevumelana nakho,” kusho uDube.


Bazolekelelwa ngobhokide

$
0
0

Kuzodliwa umbila obomvu ngenxa yesomiso kwazise izitolo seziqalile ukuthenga impuphu eyenziwe ngawo ukubhekelela abampofu.

|||

BONISWA MOHALE

KUZODLIWA umbila obomvu ngenxa yesomiso kwazise izitolo seziqalile ukuthenga impuphu eyenziwe ngawo ukubhekelela abampofu.

Ezinye zezitolo zokudla zakuleli, uShoprite, Pick n Pay noBoxer, seziveze ukuthi zinezinhlelo zokulekelela abaswele kulesi sikhathi esinzima sokubiza kokudla ezitolo ngenxa yesomiso.

AbakwaShoprite bathe baxhasa imiphakathi ngamanzi futhi bazoqhubeka nokuthenga ukudla ezindaweni ezingambi eqolo ukuze abathengi babo bezothola ukudla okusezingeni eliphezulu.

UNkk Prenella Ragavan obhekelele ezokuxhumana kwaBoxer uthe isomiso sibakhahlamezile ngoba umbila kumele bawuthenge ngama-dollar okusho ukuthi uzobiza.

Uthe ukunyuka kwentengo yombila kwenziwa wukuntenga kwerandi, isimo esingesihle somnotho jikelele nesomiso esenze abalimi bakuleli bangakwazi ukulima ngonyaka odlule.

“Sesiziqalile izinhlelo zokubhekelela abathengi bethu abangenayo imali eningi. Sithenge umbila obomvu yikhona bezokwazi ukuthenga impuphu engabizi, sinesinkwa sethu naso esingambi eqolo ukuqinisekisa ukuthi abathengi badla kahle yize kunesomiso. Ngingabagqugquzela abathengi ukuthi bathenge impahla ekhiqizwa yisitolo abathenga kuso ngoba imikhiqizo esizenzela yona ngaphakathi ivamise ukushibha ayifani nesiyithenga kwezinye izinkampani. Isomiso sikhahlameze thina nazo zonke izitolo esisebenzisana nazo kodwa sizoqhubeka nokulethela abathengi intengo ephansi kukho konke abakudingayo,” kuthembisa uNkk Ragavan.

UMnuz David North wezokuxhumana kwaPick n Pay uthe bazonikela ngo-R500 000 emiphakathini ekhahlanyezwe yisomiso kwazise baqoqa amanzi abawanikelela abantu abakhahlamezekile.

“Sizophinde sisebenzisane nenhlangano yabalimi i-AgriSA ngokuyinikelela esikhwameni sayo esibizwa ngeDrought Relief Fund. Abathengi bethu bazokwazi ukunikeza ngamaphoyinti abo eSmart Shopper kanti thina sizofaka u-R100 000 ukuze siqinisekise ukuthi abantu banokudla sihambise namaloli amanzi ezindaweni eziwadingayo. Sinalo ulwazi ngakwezokuhanjiswa kwamanzi njengoba sinenhlangano ebizwa nge-Ackerman Pick n Pay Foundation Food Garden Project lapho sisiza khona imiphakathi ukuthi izitshalele ukudla kwayo bese siyifakela namanzi. Sibuye sisebenzisane nezinhlangano eziqoqa amanzi eNingizimu Afrika ukuqinisekisa ukuthi nalapho singafinyeleli khona abantu bayawathola amanzi ahlanzekile,” kusho uNorth esitatimendeni.

n Khonamanjalo amanzi athunyelwa koMasipala yinhlangano ebhekelele amanzi Umngeni Water ancishiswe ngo-15% kanti awekho eZululand naseXobho njengoba kungaphumi ngisho iconsi kompompi bakhona.

KuMasipala Ugu uma ubanjwe uxhaphaza amanzi uhlawuliswa u-R4 000 kuthi kwiLembe uhlawule ngokwesikalo osimoshile.

Ezindaweni ezihlinzekwa yiHazelmere Dam amanzi ancishiswa ngo-50% okusho ukuthi ngamahora amahlanu kanti lokhu kwenziwa ebusuku njengoba idamu lisalelwe ngu-35% wamanzi.

Izolo amanzi ebengekho ezindaweni eziseNingizimu yeTheku kusuka eSiphingo kuyoshaya koWinkelspruit.

Abantu bathunyelelwa amaloli athwala amanzi ukuze baqhubeke nokuthola awokuphuza.

Injabulo ethungwa|udebe obeluhlukene

$
0
0

USWELE amaphiko okundiza unina wengane eyazalwa inodebe oluhlukene (cleft lip).

|||

BONISWA MOHALE

USWELE amaphiko okundiza unina wengane eyazalwa inodebe oluhlukene (cleft lip) emuva kokuba ithungiwe ngoMgqibelo luhlanganiswa ukuze ifane nezinye.

UNksz Nomsa Sithole (27) usuke KwaNdebele, eMpumalanga, nendodana yakhe u-Ofentse Sithole ononyaka baya esibhedlela saseThekwini iChief Albert Luthuli Memorial lapho ibizohlinzwa khona ilungiswe udebe.

Ngokusho kukaNksz Sithole umfana wakhe ubesebizwa nge-vampire endaweni ngoba abantu bengakuqondi ukuthi kuyenzeka ezinye izingane zizalwe nodebe oluhlephukile nokwenza amazinyo aphumele ngaphandle.

“Kunzima ukuba nengane enodebe oluhlephukile ngoba abantu bayibiza ngamagama ayiziswana. U-Ofentse wami ubesebizwa nge-vampire. Kubuhlungu ngoba asizikhetheli nathi ukuba nezingane ezinjena kodwa ziyisipho esivela kuMdali.

“Ngisho kubo kayise bangibuza ukuthi ngalithola yini ithuba lokumphatha u-Ofentse ngesikhathi ngiqeda ukuteta, bangibuza ukuthi ngabe wayevele enodebe olunjena yini. Ngabatshela ukuthi uzalwe nalo akukho nami engizokwenza. Emuva kwalokho bangeseka ngoba bebona ukuthi abantu bayayigcona ingane,” kusho uNksz Sithole.

Ubonge inhlangano elungisa abanezindebe ezihlephukile i-Operation Smile South Africa (OSSA) ngokulungisa umfana wakhe.

“Ngizwe ngohlelo lwe-Operation Smile South Africa ngesikhathi ngiyogoma u-Ofentse, unesi wabathinta wabanika imininingwane yami base bengithinta. Yibona abasikhokhele izindleko zokuza lapha eThekwini ngenxa yokuthi mina noyise uJim Phalane, kasisebenzi. Ukube bebengekho angazi ngabe ingane yami injani ngoba abantu bebeyigcona nathi siphatheka kabi ngoba akukho esingakwenza,” kusho uNksz Sithole.

Unxuse abazali abanezingane ezikhubazekile ukuthi basheshe basukume futhi bangazilahli ngoba ziyisipho esivela kuMdali.

U-Ofentse uhlinzwe ngoMgqibelo ngodokotela baseChief Albert Luthuli eno-Alexander Coetzee onezinyanga eziyisishiyagalombili naye obezovalwa udebe.

UMnuz Sean Robson, wakwa-Operation Smile South Africa, uthe bakhokhela zonke izindleko zeziguli zabo nezabazali abasuke behamba nazo.

“Ukuvala i-cleft lip kubiza u-R5 500 bese sibhekelela nezindleko zabazali zokulala ehhotela, ezokuza eThekwini nokubuyela emakhaya. Siphinde sibahlinzeke ngokudla ngoba sinabantu abasinikelelayo. Akusilona iphutha labazali ukuthi ingane izalwe ne-cleft lip kodwa yisimo esenzekayo ngesikhathi ingane isabumbeka kuba khona izinyama ezingahlumi. Siyalwenza ucwaningo ukuthi kwenziwa yini lokhu. Sicela abantu bayeke ukugcona izingane ezizalwa zinodebe olungavalekile kodwa bazifunele usizo,” kusho uRobson.

Uthe i-Operation Smile South Africa yasungulwa ngo-1982 e-United States. Wunyaka ka-10 iseNingizimu Afrika.

Uveze ukuthi ezinganeni eziwu-700 ezizalwayo eNingizimu Afrika eyodwa izalwa inodebe oluhlephukile.

Abafisa ukuthola usizo kwa-Operation Smile South Africa noma ukunikela bangashayela kule nombolo; u-012 447 3609.

Uthe bangakwazi nokunikela ngesikhathi sabo noma bangene ekhasini le-Operation Smile elikuTwitter nakuFacebook elithi @OperationSmile no#Operation45 noma bavakashele i-website ethi www.operation45.com.

Itholakele kumatrasi imali ekhiphe izidumbu

$
0
0

KUSOLWA ukuthi itholwe ngaphansi kukamatrasi imali engu-R5 000 yezelamani zakwa-A eMlazi ezivuke umbhejazane ngesikhathi zizitshela ukuthi intshontshiwe.

|||

S’MANGELE ZUMA

KUSOLWA ukuthi itholwe ngaphansi kukamatrasi imali engu-R5 000 yezelamani zakwa-A eMlazi ezivuke umbhejazane ngesikhathi zizitshela ukuthi intshontshiwe, zashaya zabulala omakhelwane babo ababili, uMnuz Sibusiso Dlamini (28) noNhlakanipho Ngobese (27) maqede zalaxaza izidumbu zabo ngaphandle kwesibhedlela iPrince Mshiyeni, ngoMgqibelo emini kubuka abantu.

Lezi zinsolo seziqubule intukuthelo emndenini wakwaDlamini nowakwaNgobese othe sekubacacele ukuthi babulawelwe into engekho.

Unina kaDlamini, uNkk Sibongile Dlamini (57) uthe ngeSonto ntambama kufike umngani wabasolwa ezobatshela ukuthi omunye walezi zelamani uyithole ngaphansi kwamatrasi wakhe isaphelele imali abebezitshela ukuthi intshontshiwe.

Izolo ekuseni ngesikhathi ekhuluma neSolezwe uthe usesiteshini samaphoyisa ukuzowabikela ngodaba lokuthi imali ekhiphe izidumbu ezimbili igcine itholakele.

“Ngivele ngaqhaqhazela, ngaphelelwa ngamandla. Amadodana ami amane athukuthela ahluleka ngisho wukuzibamba. Bese behloma bethi bayakhona kodwa ngabavimba. Ngibacele ukuthi behlise umoya yize kubuhlungu ukuthi umfowabo ubulawe ngesihluku esingaka ngento angayazi. Ngibacele ukuthi bavumele umfana wami aphumule ngokuthula. Ngibone nokuthi bazothatha ngolaka bafike benze umonakalo, bagcine beboshwa bangakwazi nokungcwaba umfowabo,” kusho uNkk Dlamini.

Uthe okumphatha kabi wukuthi lezi zelamani zisabonakala zicanasa emphakathini sengathi akwenzekanga lutho.

“Umnikazi wemoto ababebafake ebhuthini layo ngesikhathi beyobadinsila eMshiyeni kuthiwa ubonakele ngeSonto ekuseni eyowasha imoto yakhe ebigcwele igazi. Izingane zingibambile ngithi ngifuna ukuyokhuluma nonina walaba bafana ukuthi angitshele kahle ukuthi kwakwenzekeni aze amemeze athi azibulawe izinja. Le nto abayenzile izodala inzondo engenasidingo nje phakathi kwethu singomakhelwane,” kusho uNkk Dlamini.

Unina kaNgobese, uNksz Nomthandazo Ngobese (52) uthe uphatheke kabi ngesikhathi ezwa ukuthi, imali indodana yakhe ebulawelwe yona, itholakele.

“Ngizwile ngomakaSibusiso ukuthi imali itholakele. Angifuni ukugxila kulokho, into engiyifunayo wukungcwaba umfana wami ngokuthula,” kusho uNksz Ngobese.

Ngesikhathi Isolezwe lihambele umuzi walezi zelamani lithole kuvaliwe, omakhelwane bathe bavuke izolo ekuseni sekukhala ibhungezi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uMajor Thulani Zwane uthe amaphoyisa aphansi phezulu athungatha abasolwa ababulale abalisa ababili babalaxaza ngaphandle kwesibhedlela iPrince Mshiyeni, eMlazi.

“Imbangela yesehlakalo ayikaziwa okwamanje, amaphoyisa asaphenya,” kusho uZwane.

Udlwengulwe eya esikoleni umfana, 14

$
0
0

UYAZISOLA ukuthi uvumeleni ukusiza umuntu angamazi umfana ona-14 wakwa-H, eMlazi.

|||

S’MANGELE ZUMA

UYAZISOLA ukuthi uvumeleni ukusiza umuntu angamazi umfana ona-14 wakwa-H, eMlazi ohehwe ngumlisa thizeni ukuthi ayombambisa itafula emhosheni kanti uzomjikela amdlwengule ngoMgqibelo ekuseni.

Kuthiwa lo mfana, ongumfundi kaGrade 8 esikoleni esisendaweni, ubelibangise esikoleni ukuyongena amakilasi engeziwe eMaths ngesikhathi kuqhamuka lo mlisa.

Umfana kuthiwa ube esengena nalo muntu emhosheni lapho efike wamjikela khona wamdlwengula.

Uninakhulu womfana (87) uthe umzukulu wakhe usizwe yilungu lomphakathi.

“Umzukulu wami usindiswe ngumama obeneka izingubo kulayini ngesikhathi embona eqhutshwa ngumlisa thizeni. Lo mama ukwazile ukubona ukuthi umfana akathandi ukuhamba nalo muntu. Ubuzile kumlisa ukuthi kwenzakalani nokuyilapho umzukulu ekwazile ukuthi abaleke angene kulo muzi. Kuthiwa lo mlisa ubalekile esebona lo mama engena endlini. Angazi lo mama ngingambonga ngani ngokusindisa umzukulu wami,” kusho uninakhulu.

Uthe bayasola ukuthi lo mlisa ubemqhuba nje umfana ngoba efuna ukuyoqhubeka lapho egcine khona hleze ambulale.

“Ngikhathazekile ngomzukulu wami ngoba selokhu kwenzeke le nto uyaphalaza. Usezosaba nokuya esikoleni ngoba akazi noma uzophinde ahlangane naye yini lo muntu. Ubeqala nokuya esikoleni ngoMgqibelo, ukuyofunda iMaths. Le ngane ngizikhulisele yona incane ishiywe ngunina inamasonto amabili. Uyise washona ngo-2014, isisele nami ngedwa. Ngiyethemba ukuthi le nto ngeke imphazamise esikoleni, ngoba ubeza kahle yonke le minyaka,” kuqhuba uninakhulu.

Owesifazane ona-50, osindise umfana, uthe ube nokusola ebona umsolwa eqhuba umfana ekuseni, ehamba emthethisa.

“Umfana ubephethe izicathulo ngezandla, eswacile ebusweni engathi uyakhala. Ngivele ngaqunga isibindi ngambuza ukuthi kwenzenjani. Lo bhuti engingamazi wathi ngumfana wakubo umyisa ekhaya. Umfana uvele waqhasha wangena egcekeni wathi ungidlwengulile lona ma. Ngivele ngashaywa wuvalo ngoma, ngamthuka ngathi akahambe, sangena endlini nomfana. Sithe singena wabe ebaleka okungenzeka ubesaba ukuthi ngiyobikela abasendlini,” kulandisa lo wesifazane.

Uthe yize engamazi umsolwa angamkhomba ngoba umbone kahle ngesikhathi egcizelela ukuthi umfana ngowakubo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseMlazi aphenya icala lokudlwengulwa komfana ona-14.

Silimaze umphakathi isiteleka sabamabhasi

$
0
0

SIGADLE kwezwela kubasebenzi nabafundi isiteleka sabashayeli bamabhasi kaMasipala weTheku.

|||

BONISWA MOHALE noLUNGI LANGA

SIGADLE kwezwela kubasebenzi nabafundi isiteleka sabashayeli bamabhasi kaMasipala weTheku, aphethwe yinkampani iTansnat njengoba bengakwazanga ukuya emsebenzini nasezikoleni.

Izolo abashayeli bavele bapaka amabhasi emigwaqweni emikhulu okubalwa uMalandela KwaMashu, uMangosuthu Highway eMlazi, neminye imigwaqo eseNingizimu yeTheku ngoba bengaholelwanga ngoJanuwari.

Abagibeli basale dengwane ngoba amabhasi abengalayishi muntu kanti namatekisi bekungelula ukuthi aphume emalokishini.

Ngokusho kukaNkk Gugu Makhaye (36) wakwa-A eMlazi, osebenza kwesinye sezitolo eThekwini, bekunzima ukuthi aye emsebenzini ngenxa yokuthi amabhasi abevundle kuzo zonke izintuba zokuphuma eMlazi.

“Sicela uMasipala alulungise lolu daba lwamabhasi ngoba asinikezwa ngisho isixwayiso sokuthi amabhasi azoteleka sizwa emaphephandabeni nasemisakazweni. Kumele aholele abashayeli bamabhasi ukuze thina bagibeli singezukuhlukumezeka. Sikhathele manje yilento yamabhasi ngoba ayipheli inyanga abashayeli bengatelekanga. Kungani uMasipala ungawathathi abe ngaphansi kwakhe ukuze sizoya kahle emsebenzini. Sizogcina sesixoshwa phela manje ngoba abelungu abanandaba nokuthi amabhasi atelekile basifuna emsebenzini,” kusho uNkk Makhaye.

Omunye umshayeli ocele ukungadalulwa igama uthe bafuna ukucaciselwa ukuthi ngubani okumele abaholele.

“Ngesikhathi sinomhlangano nomasipala basitshela ukuthi sizoholelwa ngosuku lokugcina enyangeni kodwa lokhu akuzange kwenzeke. Imishuwalense yethu izogcina ingasasebenzi futhi ngeke sikwazi ukukhokhela izindlu nezimoto. Singasebenza kanjani singaholi,” kusho lo mshayeli ocele ukuba igama lakhe ligodlwe ngoba esaba ukuhlukumezeka emsebenzini.

Omunye umshayeli uthe bafuna amabhasi abuyele kumasipala futhi babuyiselwe nemali yabo ye-provident fund.

Lo mshayeli uthe imali yabo iyabanjwa kodwa akucaci ukuthi iyaphi ngoba uma abantu sebeyekile ukusebenza kabayitholi.

Uthe lesi simo sizoqhubeka baze bathole imali yabo.

“Asinandaba ukuthi ubani oyikhokhayo imali yethu thina sifuna ukuthi ikhokhwe ngoba basithembisa ukuthi bazosiholela,” kusho lo mshayeli.

Uthe ngeke baqale ekuseni ukusebenza ngoba bafuna ukwenza isiqiniseko sokuthi wonke umsebenzi wakwa-Tansnat uholile ngaphambi kokushayela amabhasi.

KwaMashu abagibeli bebekhala esifanayo, besho nokuthi kunebhasi evele yavundla emgwaqeni uMalandela ebivimbe ngisho namatekisi ukuba ahambe.

UMnuz Bhekisisa Nzuza, ongumkhulumeli wenhlangano yamatekisi i-KZN Taxi Alliance, uthe iyabacika lento yamabhasi ngoba nabo abakwazi ukusebenza uma amabhasi evimbanise umgwaqo.

“UMasipala awunalo iqiniso ngoba ukube amatekisi lawa avimbanise umgwaqo ngabe uwaphawundile, kodwa ngoba ngamabhasi akhe kumele abagibeli bethu bangayi emsebenzini nathi silambe. Abashayeli bamabhasi siyazwelana nabo kodwa kumele bayopaka amabhasi eCity Hall nakwezinye izikhungo zikaMasipala ngoba ukuvimba umgwaqo kuphazamisa nabantu abangahlangene nokuholelwa kwabo. Sizokhuluma nabakwaMasipala nenkampani ephethe amabhasi ukuzwakalisa ukungenami kwethu,” kusho uNzuza.

USuperintendent Sbonelo Msomi, wamaphoyisa kaMasipala weTheku, uthe kutshalwe amaphoyisa amaningi ukuqinisekisa ukuthi isiteleka asinalo udlame futhi amabhasi azobe esehamba lingakashoni ilanga.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>