UKE wasolwa ngokuthakatha usomatekisi ohlaselwe yiqulu labazibize ngamaphoyisa.
|||ZANELE MTHETHWA
UKE wasolwa ngokuthakatha usomatekisi ohlaselwe yiqulu labazibize ngamaphoyisa ngeledlule, bamshaya befuna akhiphe isibhamu.
UMnuz Mdumiseni Gumede waseNtabankulu, eFolweni, uthi isigameko sokushaywa kwakhe simehlise isithunzi nasezinganeni ashaywe phambi kwazo.
Wayenamadodakazi amathathu ngesikhathi ehlaselwa ngabo-12 phakathi nobusuku ngoLwesine oludlule.
Uthe wayelele yedwa ekamelweni ebusuku njengoba umkakhe ebeyolungiselela umsebenzi emakhaya. Wezwa kungqongqoza ngesankahlu abazibize ngamaphoyisa, besabisa nangokwephula isicabha.
“Ngivuke ngididekile ngaya ekamelweni lezingane ngazivusa ngoba ngingazi ukuthi kwenzekani. Ngaya kovula isicabha ngoba babexine ngokuthi bazosibulala uma ngingavuli. Kwangena amadoda angaphezu kweshumi angikhomba ngezibhamu, kukhona ayegqoke umfaniswano wamaphoyisa. Awabuzanga lutho avele angishaya ethi angikhiphe isibhamu. Banqabile nokuveza ubufakazi bokuthi bangamaphoyisa,” kuchaza uGumede.
Uthi laba balisa bathe bafuna isibhamu ayesiqhumisa ngoDisemba 31 kubhiyozelwa ukuhlukana konyaka.
Uthi bamfake ozankosi bamphushela ekamelweni lakhe.
“Bangimboza ngengubo yokulala nangopulastiki ebusweni, ngangakwazi nokuphefumula besaqhubeka nokungishaya. Ngize ngacela siye kumakhelwane wami ayofakaza ukuthi ngangilele ngomhlaka-31 futhi anginaso isibhamu,” kusho yena.
UGumede uthi ngesikhathi beya kwamakhelwane abasolwa bakhipha ngoshova amadodakazi akhe bawayisa kwenye indlu engaphandle bethi akakhombe isibhamu.
Emuva kokushaywa isikhathi esingangehora, uthi abalisa bamqaqe ozankosi bahamba, kwafika omakhelwane.
“Ngithathe itekisi nabanye omakhelwane sayobika esiteshini samaphoyisa kodwa banqaba ukusivulela icala. Bathe awekho amaphoyisa akhishwe esiteshini ukuyosebenza ngesikhathi sesigameko. Okungiphatha kabi wukuthi ngangilele kuhlukana unyaka futhi kwami azisetshenziswa iziqhumane ngoba nginenja,” usho kanje.
UGumede uthe usola ukuthi lesi sigameko sihlangene nenzondo kwabathize njengoba ngonyaka odlule wabizelwa umhlangano enduneni kuthiwa uyathakatha.
Induna uMnuz MD Hlongwa enqabile negama ithe udaba lokuthakatha lwaphetha ngokuthi abukho ubufakazi.
“Kwasukela ekutheni kuthiwa kunezingane ezihayizayo zibize igama likaGumede kodwa okwasolisa sengathi kuhlangene nesatanism. Ungibikelile nangokushaywa kwakhe asola ukuthi kusahlobene nenzondo ebhekiswe kuye ngoba esanda kufika endaweni,” kusho induna.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Nqobile Gwala, uthe uGumede walubika udaba lokushaywa kodwa icala akalivulanga.