Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Usola inzondo endaweni oshayiwe

$
0
0

UKE wasolwa ngokuthakatha usomatekisi ohlaselwe yiqulu labazibize ngamaphoyisa.

|||

ZANELE MTHETHWA

UKE wasolwa ngokuthakatha usomatekisi ohlaselwe yiqulu labazibize ngamaphoyisa ngeledlule, bamshaya befuna akhiphe isibhamu.

UMnuz Mdumiseni Gumede waseNtabankulu, eFolweni, uthi isigameko sokushaywa kwakhe simehlise isithunzi nasezinganeni ashaywe phambi kwazo.

Wayenamadodakazi amathathu ngesikhathi ehlaselwa ngabo-12 phakathi nobusuku ngoLwesine oludlule.

Uthe wayelele yedwa ekamelweni ebusuku njengoba umkakhe ebeyolungiselela umsebenzi emakhaya. Wezwa kungqongqoza ngesankahlu abazibize ngamaphoyisa, besabisa nangokwephula isicabha.

“Ngivuke ngididekile ngaya ekamelweni lezingane ngazivusa ngoba ngingazi ukuthi kwenzekani. Ngaya kovula isicabha ngoba babexine ngokuthi bazosibulala uma ngingavuli. Kwangena amadoda angaphezu kweshumi angikhomba ngezibhamu, kukhona ayegqoke umfaniswano wamaphoyisa. Awabuzanga lutho avele angishaya ethi angikhiphe isibhamu. Banqabile nokuveza ubufakazi bokuthi bangamaphoyisa,” kuchaza uGumede.

Uthi laba balisa bathe bafuna isibhamu ayesiqhumisa ngoDisemba 31 kubhiyozelwa ukuhlukana konyaka.

Uthi bamfake ozankosi bamphushela ekamelweni lakhe.

“Bangimboza ngengubo yokulala nangopulastiki ebusweni, ngangakwazi nokuphefumula besaqhubeka nokungishaya. Ngize ngacela siye kumakhelwane wami ayofakaza ukuthi ngangilele ngomhlaka-31 futhi anginaso isibhamu,” kusho yena.

UGumede uthi ngesikhathi beya kwamakhelwane abasolwa bakhipha ngoshova amadodakazi akhe bawayisa kwenye indlu engaphandle bethi akakhombe isibhamu.

Emuva kokushaywa isikhathi esingangehora, uthi abalisa bamqaqe ozankosi bahamba, kwafika omakhelwane.

“Ngithathe itekisi nabanye omakhelwane sayobika esiteshini samaphoyisa kodwa banqaba ukusivulela icala. Bathe awekho amaphoyisa akhishwe esiteshini ukuyosebenza ngesikhathi sesigameko. Okungiphatha kabi wukuthi ngangilele kuhlukana unyaka futhi kwami azisetshenziswa iziqhumane ngoba nginenja,” usho kanje.

UGumede uthe usola ukuthi lesi sigameko sihlangene nenzondo kwabathize njengoba ngonyaka odlule wabizelwa umhlangano enduneni kuthiwa uyathakatha.

Induna uMnuz MD Hlongwa enqabile negama ithe udaba lokuthakatha lwaphetha ngokuthi abukho ubufakazi.

“Kwasukela ekutheni kuthiwa kunezingane ezihayizayo zibize igama likaGumede kodwa okwasolisa sengathi kuhlangene nesatanism. Ungibikelile nangokushaywa kwakhe asola ukuthi kusahlobene nenzondo ebhekiswe kuye ngoba esanda kufika endaweni,” kusho induna.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Nqobile Gwala, uthe uGumede walubika udaba lokushaywa kodwa icala akalivulanga.


Kusolwe impi yomakhelwane bebulawa

$
0
0

KUSOLWA impi yomakhelwane yeminyaka ngokufa kwabangani.

|||

S’MANGELE ZUMA

KUSOLWA impi yomakhelwane yeminyaka ngokufa kwabangani uSiyabonga Ndlovu (19) noNkosi Khumalo (17), abangenelwe abalisa abathathu abangaziwa babaqhulula ngenhlamvu belele kubo kwaNdlovu e-VQ, eWembezi, ngezintatha zangoLwesibili.

Abangani babo ababili abebekhona bebulawa basizwe wukusheshe bavuke bacashe ngesikhathi bezwa kuqhuma isibhamu.

Umfowabo kaSiyabonga, uMnuz Mlungisi Ndlovu (35), uthe umfowabo ubulawa nje usanda kukhonjwa wumfana wakwamakhelwane ngesibhamu.

“Laba bafana babulawa nje bangigadele umuzi wami njengoba ngisebenza eGoli. USiyabonga usanda kungibikela ukuthi umfana wakwamakhelwane umshayile wamkhomba ngesibhamu. Sisola ukuthi ukwenze lokhu ngoba enenzondo yokuthi umfowabo waboshwa ngamaphoyisa emsola ngecala lokubulala umfowethu uPhakamani Ndlovu. UPhakamani wabulawa ngoJuni ngonyaka odlule nabangani bakhe ababili behleli lapho kuwashwa khona izimoto endaweni,” kusho uNdlovu.

Uthe kumphatha kabuhlungu ukuthi abafowabo bafa ngendlela efanayo kugcine sekufe nabangani babo abangazani nengxabano yomakhelwane.

“Ngiyasola ukuthi bebefuna mina laba babulali ngoba bengilokhu ngilisukumele udaba lokufa kwaPhakamani. Kungenzeka ukuthi bayibonile imoto yami ipakile ngempelasonto. Selokhu kwasolwa umfana wakwamakhelwane imindeni ayizange isabhekana. Kusukela kudala bekukhona lokho kuhilizisana kwemindeni. Thina asixabene nabo kodwa sifuna ubulungiswa benzeke. Ukufa kukaPhakamani kwaba yisenzo sobugebengu. Babulawelani abafana bengenacala, imibhede abebelele kuyo ibigobhoza igazi. Bobabili bebenamanxeba ayisithupha okudutshulwa ekhanda umuntu emunye,” kuqhuba uNdlovu.

Ikhansela lendawo uMnuz Mthembeni Majola uthe umphakathi usathukile ngalesi sigameko.

“Sithole ukuthi bebefuna umfana wakhona omdala uMlungisi. Bacasukile bengamtholi badubula umfowabo nomngani wakhe abekade belele emagunjini ahlukene. Ngonyaka odlule kwabulawa umfana wakhona kwaNdlovu ehleli nabangani bakhe manje sekubulawa omunye. Sicela uNgqongqoshe uMnuz Willies Mchunu angenelele kulengxabano esiphume nemiphefumulo eminingi,” kusho uMajola.

Uthe ukubulawa kwabantu endaweni yabo, sekuyinto eyejwayelekile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uLieutenant Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi abalisa ababili ona-17 no-19 batholwe befile, benamanxeba okudutshulwa amaningana emzini oseVQ eWembezi.

“Imbangela yesehlakalo ayikaziwa, amaphoyisa abengakabophi muntu okwamanje. Amaphoyisa aseWembezi aphenya amacala amabili okubulala,” kusho uGwala.

Abazali badunusele uthishanhloko efika

$
0
0

BAVALELE othisha nabafundi ngaphandle abazali baseSikhululiwe Primary kwa-B eNanda.

|||

BONISWA MOHALE

BAVALELE othisha nabafundi ngaphandle abazali baseSikhululiwe Primary kwa-B eNanda, bethi abamfuni uthishomkhulu oqashwe wuMnyango wezeMfundo ngoba akulandelwangwa imigudu efanele ngesikhathi eqashwa.

Izolo ekuseni abafundi baseSikhululiwe bese begcwele umgwaqo besendleleni eya emakhaya nothisha besezimotweni zabo.

Abazali bebehlukene amaqoqo amabili kukhona abangasemasangweni esikole avaliwe akade bebhikisha beshaya ingoma, bethi akahambe uMhlaba, okuyisibongo sikathishomkhulu omusha.

Abanye bebemi ngasemgwaqweni bezwelana nothishomkhulu bethi uyazifikela nje kumele ayekwe enze umsebenzi wakhe.

Ngokusho kukaNkk Thulisile Mhlongo ongusihlalo wesigungu sabazali esilawula isikole, uthishomkhulu waseSikhululiwe wahamba ngonyaka odlule ngoba esethole isikhundla sokuyoba ngumhloli. Zize zavalwa izikole isikhundla sakhe singakhangiswanga.

“Sibazisile abahloli ukuthi asithokozile ngokungabi nomphathi kwase kufakwa obeyiphini likathishomkhulu ukuba abambe. Asikakaze sizwe kuthiwa siyakhangiswa isikhala sikathishomkhulu yize sekuphele izinyanga ezimbili sazwakalisa ukungenami kwethu. Kunalokho kuthe sekuvulwa izikole basilethela uthishomkhulu kungakaze kukhangiswe. Sifunzwa yena ngenkani, asazi kungani kwenziwa lokhu ngoba kumele kulandelwe imigudu efanele, kwenziwe inhlolokhono nathi simhlole umuntu ozobhekela ikusasa lezingane zethu,” kusho uNkk Mhlongo.

Amazwi akhe ananelwe nguMnuz Nelson Ngema naye osesigungwini esilawula isikole, othe kabaqondi kungani uthishomkhulu omusha ephelezelwa ngamalungu e-ANC uma eza esikoleni ngoba ukuthi uthisha ulandela yiphi inhlangano kumele kusale ngaphandle uma eseyofundisa izingane.

Uthe bazoqhubeka nokuvala amasango kuze kube uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal “ulandela imigudu efanele”.

Abazali abebebhikisha bebecula bethi abamfuni uMhlaba osuke ezikoleni iMandosi naseStezi ngenxa yezinkinga ngoba uzokona ikusasa lezingane zabo.

Bathe iphini likathishomkhulu lafika kulesi sikole eminyakeni engu-22 edlule kanti kungakuhle ukuthi kuphathe umuntu wesifazane naye abonakale amagalelo akhe.

ISikhululiwe iqala ukufundisa kuGrade R kuya kuGrade 7.

UMnuz Muzi Mahlambi ophethe ezokuXhumana eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal uthe abazali baqinisile uma bethi kabamazi uthishomkhulu ngoba uqashwe nguMnyango.

“Uma kunesikhala uMnyango wezeMfundo uyasikhangisa, bese abantu befaka izicelo. Ophumelelayo kwinhlolokhono nguye onikwa umsebenzi. Sicela abazali behlise umoya, bayeke uthishomkhulu enze umsebenzi wakhe, bavule amasango izingane ziqhubeke nokufunda. Uma kukhona lapho benganelisekile khona ngohlelo lwethu kumele bakhulume nabahloli hhayi ukuthi bavalele izingane nothisha ngaphandle,” kusho uMahlambi.

Uphethe ngokuthi ukuvala amasango akusona isixazululo kodwa kumele kuxoxiswane uma kungabonwa ngaso linye hhayi ukuthi kuphazanyiswe ukufunda.

Abahlaziyi bahlaba uMaimane

$
0
0

Imizamo yomholi we-DA yokulwa nobandlululo eqenjini lakhe isichazwe njengokuthalalisa.

|||

CELANI SIKHAKHANE

IMIZAMO yomholi we-DA yokulwa nobandlululo eqenjini lakhe isichazwe njengokuthalalisa ngoba efuna ukuthola amavoti abantu abamnyama ukuze bavotele inhlangano yakhe.

UMaimane (osesithombeni) unqumele ugwayi katiki labo abanezenzo zokucwasa wathi ucela bangazihluphi bavotele i-DA ngoba ngaphansi kobuholi bakhe akasoze alubekezelela ubandlululo.

Umhlaziyi wezepolitiki uMnuz Protas Madlala uthe uyathalalisa uMaimane ngale nkulumo ngoba ebona ukuthi uzoba nenkinga kubantu abamnyama uma eseyokhankasa ezindaweni zabo.

“Empeleni laba bantu akhuluma ngabo abazazi ukuthi bayacwasa, bafana nomuntu odelelayo ngoba usuke eyisa kodwa engaziboni ukuthi uyachwensa. Sonke siyazi ukuthi abelungu banendlela yabo yokucabanga, okusho ukuthi bazoqhubeka bavote ku-DA ngoba bengazazi ukuthi bayacwasa yize izenzo zabo zizobe zisho kanjalo.

“Uzokhumbula ukuthi uma umlungu esolwa ngokucwasa uvele akhale asho nokuthi yena uyasonta futhi uyabathanda abantu abamnyama. Nokho angiboni ukuthi kungalilimaza iqembu ngaphandle kokuthi abantu abamnyama abanye kusazoba nzima ukuthi bayivotele i-DA,” kusho uMadlala.

UDkt Muzi Mngomezulu wesikhungo sokucobelelana ngolwazi, iMzala Nxumalo, naye uvumelane noMadlala, wathi uyathalalisa uMaimane ngoba ezama ukukhombisa abantu ukuthi iqembu lakhe alihambisani nokucwasa.

“Uzama kanzima yena ukukhombisa ukuthi ulwa nokucwasa kodwa lokhu kuzolilimaza iqembu ngoba laba bantu abasolwa ngokucwasa ku-DA, iningi labo lisuka kuNational Party kanti abanye babekuConservative Party, ngakho bazocasuka ngale nkulumo,” kusho uMngomezulu.

UMaimane nosomabhizinisi uMnuz Herman Mashaba basolwa ngokuthi njengabantu abaqavile kungani bebengayikhulumi le nto yokucwasa njengoba sebeqala ukuyikhuza manje.

UMadlala uthe ukube laba baholi abamnyama bebeneqiniso bekuyofanele bayilaxaze i-DA ngemuva kwenkulumo kaNkk Penny Sparrow. I-ANCYL KwaZulu-Natal ichaze uMashaba noMaimane njengabantu abamnyama abathunywe ngabelungu ukuze bayolanda abantu abamnyama benziwe izigqila.

Umsindo ngeyokugada izibhedlela KwaZulu-Natal

$
0
0

Sekuqubuke umsindo ngethenda yezigidi yokugada izibhedlela KwaZulu-Natal.

|||

MLUNGISI GUMEDE

SEKUQUBUKE umsindo ngethenda yezigidi yokugada izibhedlela KwaZulu-Natal ngemuva kokuthi izinkampani ebezinenkontileka yokwenza lo msebenzi noMnyango wezeMpilo esifundazweni zikhala ngokuthi zishaywe ngesithende lapho sekukhishwa umsebenzi omusha.

Lezi zinkampani zithi ayikho neyodwa inkampani endala ethole ithenda kulo msebenzi omusha kodwa kuthathwe izinkampani ezintsha zodwa.

Ezimbili zalezi zinkampani ezikhala ngokushiywa ngaphandle kuthiwa sezifake isimangalo osekuholele ekutheni kume nse lonke uhlelo ngisho nokuqala umsebenzi.

Izinkampani ezintsha bekumele ziqale umsebenzi ngoNovemba nyakenye kodwa uhlelo lwamiswa.

Umnikazi wenye yalezi zinkampani okhulume neSolezwe kodwa wacela ukuthi angadalulwa ngoba engafuni ukuzonela igama angaphinde awuthole umsebenzi, uthe kubaphethe kabi ukuthi akekho noyedwa ezinkontilekeni ezisanda kuphela othole umsebenzi kwithenda entsha.

“Siyasola ukuthi ukhona umkhonyovu owenzekile ngoba zonke lezi zinkampani ezithole umsebenzi asizazi kubukeka kuyizinkampani ezintsha emkhakheni wezokugada,” usho kanje.

Uthe bathole ukuthi lezi zinkampani kukhona ezikwenzile okuwumkhonyovu ukuze zinikwe umsebenzi.

“Kukhona okushaya amanzi kule nto ngoba ngaphambi kokuba uphume umsebenzi omusha njengezinkampani ebezisebenza bekumele sitshelwe ukuthi kuzophuma umsebenzi sibuzwe ukuthi siyafuna yini ukuqhubeka, kodwa lokho akuzange kwenzeke,” usho kanje.

Esinye isikhulu salezi zinkampani ezikhalayo naso esingathandanga ukudalulwa sithe kukhona nenhlese yepolitiki ngokukhishwa kwabo.

“Lezi zinkampani ezithole umsebenzi sizwa kuthiwa beziseka ngezimali uhlangothi oluthile ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso wengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal,” sisho kanje.

Isolezwe lithole ukuthi ithenda yokugada izibhedlela iba yiminyaka emithathu bese iyavuselelwa.

Izinkampani ebezithole umsebenzi inkontileka yazo esanda kuphela ziyaqhubeka nokusebenza, izinkontileka zazo zivuselelwa njalo ngenyanga.

Umthombo uthe ezikhungweni zoMnyango wezeMpilo ezigadwayo kubalwa nemitholampilo.

UPhiko lwezokuXhumana eMnyangweni wezeMpilo KwaZulu-Natal luthe ngeke luyiphendule imibuzo ebeliyithunyelelwe yiSolezwe ngalolu daba lwethenda yokugada izibhedlela ngoba abakhalayo bayayazi imigudu okufanele bayilandele.

Idale umonakalo ka-R150m i-Feesmustfall

$
0
0

UMONAKALO odalwe yimibhikisho yabafundi emanyuvesi ngonyaka odlule ubalelwa ku-R150 million.

|||

MHLENGI SHANGASE

UMONAKALO odalwe yimibhikisho yabafundi emanyuvesi ngonyaka odlule, wokufuna kunganyuswa imali yokufunda, ubalelwa ku-R150 million.

Lokhu kushiwo uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande izolo ngemuva komhlangano nabaphathi bamanyuvesi akuleli eGoli.

UNzimande uthe uphenyo lwesikhashana abalwenzile luveza ukuthi lo monakalo ubalelwa ku-R150 million.

“Impahla yalimala ngenxa yale mibhikisho kanti kwezinye izikhungo kwadingeka kuqiniswe ezokuphepha ukuze kuvike izehlakalo ezifuze ezangonyaka odlule. Kunyuse izindleko ukuqinisa ezokuphepha kwengezwa abanye onogada abazimele.”

Enyuvesi yaseGoli kuvele ukuthi ukuqiniswa kwezokuphepha kudla u-R2 million ngenyanga.

UNzimande unxuse abafundi abafuna ukuqhubeka nemibhikisho ukuba lokho bakwenze ngokuthula.

“Udlame aluvumelekile. Uma siteleka ngokuthula ngeke sibe khona isidingo sokuba kwengezwe onogada. Asingacekeli phansi impahla yenyuvesi ngoba lokho akuvumelekile. Akungaphazanyiswa ukufunda nokufundisa,” kuqhuba uNzimande.

Kulo mhlangano, wabaphathi bamanyuvesi angu-26, bekukhona nabesikhwama esixhasa abafundi ngezimali iNational Students’ Financial Aid Scheme.

UNzimande kulo mhlangano uphinde wahlaba ikhwelo lokuthi labo bafundi abazoxhaswa yilesi sikhwama akumele bakhokhe imali yokubhalisa.

“Labo bafundi asebethathiwe enyuvesi abazoxhaswa akumele bakhokhe imali yokufunda. Isikhungo nesikhungo sinohlelo olubhekele laba bafundi. Sivumelene ngokuthi kusetshenziswane endabeni yabafundi abakweletayo njengoba bezobhaliswa,” kuqhuba uNzimande.

Unxuse abafundi ukuthi baqhubeke nokubhalisa ukuze kuqale ukufunda nokufundisa ngokushesha.

Ubalule nokuthi labo bafundi abazalwa ngabasebenzi abathathwa njengabahola kakhulu abangaxhaswa yilesi sikhwama bazobhekelwa njengoba kuhlolwa uhlelo lokubaxhasa.

Lolu hlelo kulindeleke ukuthi luvivinywe ngonyaka ozayo ukuze luqale ukusebenza ngo-2018.

Lolu hlelo, oluholwa nguSihlalo walesi sikhwama uMnuz Sizwe Nxasana, lufaka izingxoxo ezikhona namabhange.

Umphathi weWits, uSolwazi Adam Habib, uthe bazoqhubeka babe khona onogada kuze kudambe isimo njengoba le nyuvesi ike yamisa nokubhalisa ngenxa yombhikisho wabafundi abafuna imfundo yamahhala.

UHabib uthe isizathu sokuthi kubizwe onogada yingoba kukhona abebevinjwa ukuthi babhalise.

Izikhungo ezibhekene nemibhikisho eziseGoli kubalwa yona iWits, UJ, Unisa neNyuvesi yasePitoli.

Kwenzeka lokhu nje ikhomishini eqokwe nguMengameli Jacob Zuma ukubheka eyemfundo yamahhala kulindeleke ukuthi iphothule umsebenzi wayo ezinyangeni eziyisishiyagalombili.

Bafuna kumbiwe esikaMgqumeni

$
0
0

Umndeni womculi kamaskandi uKwakhe Khumalo uzofaka isicelo eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ukuba kumbiwe isidumbu sakhe.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

UMNDENI womculi kamaskandi uKwakhe “Mgqumeni” Khumalo uzofaka isicelo eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ukuba kumbiwe isidumbu sakhe ukuze uqede ukungabaza ngoSibusiso Gcabashe ozibiza ngaye.

Izolo eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu bekulindeleke ukuba kukhishwe isigwebo njengoba inkantolo yathola ukuthi uGcabashe akayena umculi kamaskandi uMgqumeni.

Icala lihlehliselwe uMashi 1 njengoba ummeli kaGcabashe engazange alubhade enkantolo.

IMantshi uRose Mogwera, ithe ngeke ikwazi ukugweba uGcabashe engenaye ummeli.

Ngaphandle kwasenkantolo umndeni kaMgqumeni ubunengekile njengoba uphoxekile ngoba isigwebo singazange sikhishwe.

UMnuz Sam Khumalo, onguyise omncane kaMgqumeni uthe yize inkantolo ithole ukuthi akusiyena uMgqumeni lona kodwa bazoqhubeka ukukhombisa izwe “iqiniso” lokuthi unguye.

“Siphoxekile ngokungaphumi kwesigwebo namhlanje ngoba besifuna ukuqala nokufaka isicelo eNkantolo eNkulu yalapha eMgungundlovu ukuba kumbiwe isidumbu, lapho kuthiwa kwangcwatshwa khona okuthiwa yiBhova. Ngokwethu siyazi ukuthi lona (uGcabashe) nguMgqumeni.

Sikhathele wukuthukwa kuthiwe sibiza isigebengu ngoMgqumeni. Sifuna isidumbu simbiwe ukuze iqiniso lizokwaziwa. Silinde isigwebo bese sikwazi ukufaka isicelo sethu,” kusho uKhumalo.

Khona izolo enkantolo bekukhona indodakazi kaMgqumeni eneminyaka engu (17) ekhulume ngasese neSolezwe yathi umndeni wakwaKhumalo uyayiphoqa ukuba ithi uGcabashe unguyise.

“Mina angisafuni ukuqhubeka ngihlale nabakwaKhumalo noma ukuhamba nabo ngize enkantolo ngoba bayangiphoqa ukuba ngize enkantolo.

Ngiyaphoqwa ukuba ngivume ukuthi nguMgqumeni lona ekubeni kungeyena,” kusho indodakazi.

UMgqumeni ukhule koninalume kwaMseleku.

Umndeni wakwaKhumalo uthe abazange bakwazi ukubona isidumbu seBhova ngelanga lomngcwabo, okwenza basole ukuthi akazange ashone.

Izolo enkantolo bekugcwele abalandeli bakaMgqumeni nabanye bebandla lakwaShembe.

IMantshi ixwayise uGcabashe ukuba ngoMashi 1 uma engabuyi nommeli kuzophoqeleka ukuba ilihlehlisele olunye usuku lapho izobe seyimgweba.

UGcabashe uthe noma kanjani uzobe esenommeli wakhe.

Ubezikhulumela enkantolo, aze amamatheke uma esebingelela abalandeli.

Kuvele ukuthi uMnuz Johan Botha, ongummeli kaGcabashe ubengakhokhelwe njengoba engazange afike.

Leli cala selihlehle izikhawu ummeli engabonwa.

UKhumalo uthe ngoMashi 1 kuzobuya uBotha ngoba bazobe sebemkhokhele bona njengomndeni.

Ebuzwa ukuthi ikhona yini imali yokumkhokhela, uthe bazobe sebenayo ngelanga lecala.

Umndeni wakwaKhumalo awupheli enkantolo kanti umndeni wakwaMseleku, okuyiwo owawusingethe umngcwabo kaMgqubeni, selokhu lalethwa eMgungundlovu icala awukaze ubonakale.

Umfana (4) uthanqazeke efulethini

$
0
0

Usadidekile uyise womfana oneminyaka emine othanqazeke ngewindi efulethini lakubo elisesitezi sesishiyagalolunye e-Overport Highpoint.

|||

S’MANGELE ZUMA noBERNADETTE WOLHUTER

USADIDEKILE uyise womfana oneminyaka emine, uRyan Kununa, othanqazeke ngewindi efulethini lakubo elisesitezi sesishiyagalolunye e-Overport Highpoint, eThekwini ngesikhathi eshiywe yedwa ngoLwesibili ebusuku.

Lokhu kuthiwa kwenzeke ngesikhathi uyise, uMnuz Brine Kununa (29) ongowokudabuka eMozambique emshiye yedwa isikhashana ngesikhathi eyopaka imoto emsebenzini wakhe ongaphesheya kwefulethi labo.

Ngokusho kukaKununa yinto abejwayele ukuyenza njalo uma ebuya ukuyomlanda enkulisa.

“Ngibuye ukuyomlanda enkulisa ngangena naye endlini. Njengenjwayelo ngimtshelile ukuthi ngisayopaka imoto emsebenzini, ngambuza ukuthi ngimenzele yini ukudla. Uthe akalambile ucela ngimthelele ijusi ebese ngimvulela ithelevishini ngaphambi kokuthi ngihambe. Ayiphelanga imizuzu ewu-15 ngihambile. Ngithe ngingena efulethini ngahlangatshezwa wunogada esethi ingane yami ithanqazeke phansi,” kulandisa uKununa.

Uthe uyifice isilele phansi edamini legazi, kubonakala ukuthi isishonile ngoba ibingasanyakazi.

“Ngishayele abezimo eziphuthumayo abafike baqinisekisa izinsolo zami zokuthi umfana wami useshonile. Ibuhlungu inhliziyo yami ngoba angazi ukuthi kwenzekeni.

“Leli windi aphahlazeke ngalo ubengakaze asondele ngisho nakulo. Ubengumntwana obethula kakhulu, ubethanda ukuzibukelela opopayi. Ubengathandi ngisho ukudlala nezinye izingane.

“Angiqondi ukuthi ubefunani ewindini aze athanqazeke ngoba iwindi langemuva akukho nokungako angakubuka ngalo,” kuqhuba uKununa.

Uthe uzimisele ngokuyomfihla kwelakubo eMozambique ngempelasonto.

“Unina wengane ubesemsebenzini ngesikhathi sesigameko. Isimo asisihle kahle kuyena, uyakhala kuphela. URyan bekunguyena yedwa umntwana wethu, yingakho kusenzima ukwamukela isimo,” kusho uKununa.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo iNetcare 911, uMnuz Chris Botha uthe bathole ukuthi ingane ibishiywe efulethini ngesikhathi uyise eyohlangana nomuntu ngasesangweni lebhilidi.

“Imininingwane eqondile yokuthi ingane ithanqazeke kanjani ngewindi izoba yingxenye yophenyo lwamaphoyisa. Abezimo eziphuthumayo bafike ingane isishonile,” kusho uBotha.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aseMayville aphenya icala lokufa komuntu nembangela yesehlakalo.

“Umfana oneminyaka emine uthanqazeke ebhilidini ngo-7 ebusuku. Ushonele endaweni yesigameko, imbangela yesehlakalo ayikaziwa okwamanje,” kusho uGwala.

n Kwesinye isigameko, bakhihla esikaNandi abazali bezingane ezimbili ezishone ngoLwesibili ngemuva kokuvaleleka emotweni endala yakwamakhelwane eClermont.

U-Asphile Sithole oneminyaka emibili noBayanda Sithole oneminyaka emithathu kusolakala ukuthi bashone ngenxa yokushisa nokuphelelwa wumoya.

Unina ka-Asphile, uNksz Ntombenhle Sithole, uthe uthukile ngesikhathi ebuya emsebenzini ethola indodakazi yakhe ingekho ekhaya.

Uthe uhambe wayoyibheka wezwa ngesililo siqhuma phezulu ukuthi sekonakele.

Kuthiwa yilapho ethole khona indodakazi yakhe isishonile nomzala wayo uBayanda.

Umzala kaNksz Sithole, uNksz Ntokozo Sithole ongunina kaBayanda, uthe isithombe sokufa kwendodana yakhe siyohlezi sisemqondweni wakhe.

“Angiziboni ngidlula kulesi simo. Ngimbonile elwela ukuphila ngesikhathi ngifika kuyena kodwa washona ngemuva kwesikhashana. Ngibonile ukuthi ngeke aphile,” kusho uNtokozo.

Bathi izingane zabo bezidlala emotweni yakwamakhelwane ongumakhenikha ngesikhathi zivaleleka emotweni nezinye izingane ezimbili eziphuthunyiswe esibhedlela.

Bathi sebeke bamkhuza lo makhelwane ngamafutha ezimoto aconsayo nezimoto ezishiywa zingakhiyiwe.


I-ANCYL ayigudluki kolwamakhansela

$
0
0

UBONAKALA uqina umkhankaso we-ANCYL KwaZulu-Natal wokuthi ithole u-40% ezikhundleni zobukhansela.

|||

CELANI SIKHAKHANE

UBONAKALA uqina umkhankaso we-ANCYL KwaZulu-Natal wokuthi ithole u-40% ezikhundleni zobukhansela njengoba isiphumele obala yeseka umfowabo wowayesishoshovu salolu phiko okunguMnuz Wandile Mkhize, owasocongwa ngo-2012 ebuya engqungqutheleni yenqubomgomo ye-ANC eyayiseGallagher Estate, eMidrand.

UMnuz Andile Mkhize oneminyaka engu-24 uhlabe umxhwele abaholi be-ANCYL ngokukhuthala kwakhe kwezombusazwe nokugcine kumdalela ugazi emphakathini wangakubo osufuna angene esikhundleni sobukhansela.

Umkhulumeli we-ANCYL KwaZulu-Natal uMnuz Mkhuseli Sondzaba, uthe nakuba i-ANC inemigudu eyilandelayo kodwa bazokujabulela ukuthi igcine ivumela uMkhize ukuba ayimele njengekhansela.

“Okokuqala iminyaka yakhe izosiza ekutheni intsha elingana naye eneminyaka engaphansi kuka-25 izibone nayo iyingxenye yezepolitiki. Okunye kuzolekelela ekutheni sibone kuguquka izindlela zokusebenza kwamakhansela zakudala ukuze zihambisane nendlela yesimanje evuna nesimo esiphila kuso. Okunye wukuthi abantu abaneminyaka kaMkhize bazosiza ukuthi sibone nezinhlelo zomphakathi zisakazwa ko-Instagram nakoTwitter nakwezinye izinkundla zokuxhumana lapho kugcwele khona intsha kunokusetshenziswa kwemibhobho. Ngaphandle kwalokho uMkhize usikhombisile ukuthi umzabalazo kamfowabo okunguWandile uyawuqhuba yize esemncane,” kusho uSondzaba.

UMkhize ubengunobhala wenhlangano yabafundi edlelana ne-ANC, iCosas.

Kumanje ubonakala ehla enyuka ngakubo kwaNzimakwe ku-ward 10 namanye amalungu omphakathi besiza abantu abampofu abawelwa izindlu bebanikelela amaphasela okudla.

I-ANCYL kuzona zonke izindawo ehamba kuzo isikusebenzisa njengetemu layo ukufuna intsha engu-40% ezikhundleni zobukhansela.

Ngokujwayelekile kubonakala abantu abadala ku-ANC kuyibo ababaphambili ezikhundleni zobukhansela nobuMeya.

Inhlangano ephikisayo iDA yiyo ebivamise ukubonakala iba nentsha eneminyaka engaphansi kuka-25 eyenziwa amakhansela okubalwa uNksz Mbali Ntuli noMnuz Hlanganani Gumbi.

I-IFP nayo ivamise ukubonakala ibeka phambili abantu abadala kodwa ngonyaka odlule kuqopheke umlando oLundi ngesikhathi kukhethwa ibhungu elineminyaka engu-23 ukuthi libe yikhansela.

USihlalo we-ANC uMnuz Sihle Zikalala unxuse amalungu e-ANC ukuba alandele yonke imigudu yamagatsha yohlelo oluzohambisana nomphakathi wonkana lokukhethwa kwamakhansela.

Uthe lowo ozobe ekhethiwe ukuba amele i-ANC uma kufika ukhetho, kufanele amukele imiphumela bakhumbule ukuthi ekugcineni yinhlangano ekhethiwe ukuba imele umphakathi.

Amagatsha amaningi aseqalile ukuhlala ukuze akhethe amagama amathathu azoyiswa emphakathini bese abantu beqoka elilodwa. UMkhize ubemanqika ukuphawula waphetha ngokuthi yinhlangano yakhe enelungelo lokukhuluma ngendaba yamakhansela.

‘Ayilungiswe ku-DA eyokucwasa’

$
0
0

UNksz Lindiwe Mazibuko usephonse inselelo ku-DA ngokuthi kumele indaba yokucwasa nobandlululo iqale ilungiswe ngaphakathi kuleli qembu.

|||

CELANI SIKHAKHANE

OWAYENGUMHOLI we-DA ephalamende, uNksz Lindiwe Mazibuko, usephonse inselelo ku-DA ngokuthi kumele indaba yokucwasa nobandlululo iqale ilungiswe ngaphakathi kuleli qembu ngaphambi kokuthi umholi wayo uMnuz Mmusi Maimane ayikhulume ngaphandle.

UNksz Mazibuko ukusho lokhu ngemuva kokuthi uMaimane eqale umkhankaso wokulwa nokucwasa nalapho exwayise khona ngokuthi labo abasagcwele ukucwasa kumele bangalokothi bazihlanganise ne-DA.

Nokho uNksz Mazibuko obebhale incwadi eshicilelwe kwelinye lamaphephandaba, iBusiness Day Live izolo, utshele uMaimane ukuthi ukushumayela leli vangeli lokulwa nokucwasa ngeke kusize uma kungaliwa nalesi sihlava ngaphakathi ku-DA kuqala.

“Iyancomeka imizamo kaMaimane yokusukuma alwe nendaba yokucwasana ngokobuhlanga kodwa kuyadingeka ukuthi le nto iqalwe ngaphakathi ku-DA kuliwe nokucwaswa kwamalungu nabaholi abamnyama. Kumele kuphele le nto yokuthi uma abaholi abamnyama bezihlanganele ngobungani noma kukhona abakwenzayo bese bebizwa ngokuthi yiBlack Caucus, echazwa njengabantu abangahlakaniphile. Lokhu kwenziwa ngenhloso yokuthi bazenyeze bakusabe ukuzihlanganela bebodwa,” kusho uNksz Mazibuko.

Uthe ngisho ukuziphatha kwalabo ababengamalungu eNational Party akekho oseke wakuphonsela inselelo njengoba kuhlale kwenziwa kwabamnyama kuleli qembu.

“I-DA ingene kuhulumeni wentando yabantu ngamavoti abalelwa ku-1.7% kodwa namhlanje inamaphesenti angu-23 amavoti ewatholile kuzwelonke ngenxa yokusebenza ngokuzikhandla kwabantu abamnyama. Laba bantu abagcina sebebizwa ngamagama angehli kahle. Ngakho ngithi akuphele manje sekwanele. Sekuyisikhathi lesi sokuthi kwi-DA iyekwe indaba yokubukela abaholi abamnyama phansi abahlale bebukwa njengabantu abenza umsebenzi oncomekayo ngenxa yokusizwa ozakwabo abamhlophe. Okunye kumele i-DA iyibhekisise indaba yokubekwa phezulu kwabesilisa abamhlophe ezikhundleni ezibalulekile ngoba lokhu kuyalilimaza iqembu kubantu abasuke bebukela kude,” kuqhuba uNksz Mazibuko.

UNksz Mzibuko ushiye le nhlangano ngo-2014 wayofunda eHarvard University, e-United States of America, ngemuva kokuxabana nobengumholi uNkk Helen Zille.

Ngaphandle kwalokho wathwala kanzima kuleli qembu ngemuva kokuphumela kwakhe obala ephalamende eseka umthetho owawugunyaza ukubhekelelwa kwabantu abamnyama ngokwamathuba.

Kumanje uzinze e-America lapho abuye afundise eHarvard kanti uyobuya kuleli ngo-2019.

Uthe kubalulekile ukuthi leli qembu lizinuke amakhwapha lizihlolisise ukuze kufezeke iphupho likaMaimane lokulwa nokucwasana.

Uveze nokuthi abantu abafana noNkk Penny Sparrow bekungafanele babe nendawo ku-Da ngemuva kwezinkulumo ezazenziwa wuNkk Zille zokulwa nokungalingani nokucwasana.

‘Ningakunaki abazokusho ngoDeli’

$
0
0

Obengumngani wentatheli yakwaSABC eshone engozini yemoto unxuse umndeni wayo ukuthi ungayinaki imibiko eshiwo ngayo.

|||

S’MANGELE ZUMA

obengumngani wentatheli yakwaSABC eshone engozini yemoto unxuse umndeni wayo ukuthi ungayinaki imibiko eshiwo ngayo.

Osakaza ibhola okhozini, uNolwazi Machi, ubekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo kaNksz Delisile Ngwenya ebisezindlini zokusakaza kwaSABC, M1 Studio, eThekwini, izolo.

“Kuningi okusazobhalwa ngoDeli nosekubhaliwe, ngicela ningakunaki. Namanje ngizizwile izinkulumo ezithi uDeli nalo mfana bebethandana. Mina njengomngani abexoxa naye ngakho konke, ayikho le yonto. Bebengabangani kuphelele lapho, nginesiqiniseko salokho uma ngikhumbula izingxoxo zethu,” kusho uNolwazi.

Uthe uNksz Ngwenya (29) wayewulangazelele umdlalo weMaritzburg United ne-Orlando Pirates ngoba iMaritzburg yiqembu ayesebenza nalo ebe yena engumlandeli wePirates.

“Ngiyakhumbula sixoxa ngoLwesihlanu engincenga ukuthi sihambe siye eMgungundlovu ebholeni. Ngamtshela ukuthi ngeke ngikwazi ngoba nginezinye izinto engizobe ngizenza. Wajabula kakhulu esethola umyalezo oqinisekisa ukuthi uzobe elele kweliphi ihhotela uma eseyosebenza. Wathi akanandaba nokuthi uzolalaphi into ayifunayo imoto. Kuthe sekwenzeke ingozi ngafisa ngabe emsebenzini babekade bemncishile imoto. Ukube ubazi ukuthi le nto abeyilangazelele kangaka iyona ezoba ukuphela kwakhe,” kusho uNolwazi.

UNksz Ngwenya ushone engozini yemoto nomdlali weMaritzburg United, uMnuz Mondli Cele (27) ngeSonto ekuseni.

Uthe ngesikhathi uNksz Ngwenya eqala ukusebenza nabo ngo-Agasti nyakenye, waqala waba nokunengeka ngoba wayelethwe ihhovisi laseGoli ezibuza ukuthi kungani baze beletha umuntu zibe zikhona izintatheli zaseThekwini.

“Ngabona ukuthi kuzoba kubi ukungezwani kwethu, saqala sakha ubudlelwano Wasitshela zisuka ukuthi yena uyintatheli akazi lutho ngebhola. Wacela ukuthi simcathulise, wafunda ngokukhulu ukushesha. Wabe esethunyelwa eqenjini iMaritzburg United, nalo walifunda ngokushesha. Angikholwa wukuthi kukhona umdlali weqembu obengamazi. Wayejabule kakhulu ngomdlalo weMaritzburg nePirates ngoba umngani wakhe omkhulu, uMondli, wayeshaye igoli lokuqala nePirates idlale ngokuzimisela,”kuqhuba uNolwazi.

Umphathi wezemidlalo eSABC, uNkk Nonnie Jacobs, uthe ngesikhathi besungula uhlelo lokusakaza ngokulinganayo wonke amaqembu e-PSL baqoka ukuqasha izintatheli ezisaphuma esikoleni kuzo zonke izifundazwe.

“Kwabanzima ukusungula lolu hlelo. Ngabona ukuthi ezindaweni eziningi kufuneka umuntu oseneminyaka emithathu esebenza bangazicabangeli izingane eziphuma esikoleni. Ubewuthanda umsebenzi wakhe futhi ezimisela. Angikaze ngikhale ngaye. Ngesikhathi kwenzeka isehlakalo ubeyosebenza neqembu lakhe iMaritzburg United. Mina ngathuka sengithola umbiko ngoba ngangisalindele udaba kuyena ngoba ubengakaze angiphoxe nangelilodwa ilanga,”kusho uNkk Jabocs.

Umphathi wezinhlelo oKhozini, uNksz Zandile Tembe, naye uzwakalise ukudumala ngokushona kukaNksz Ngwenya obeyilungu labesifazane ababamba iqhaza kwezokusakaza nobuntatheli iWomen In Media.

Uxoshwe esikoleni esekhokhile

$
0
0

UKHIHLA isililo umzali wengane ayibhalise wakhokha nemali yesikole ngesonto eledlule, izolo utshelwe ukuthi ngeke isamukelwa.

|||

ZANELE MTHETHWA

UKHIHLA isililo umzali wengane ayibhalise wakhokha nemali yesikole ngesonto eledlule, izolo utshelwe ukuthi ngeke isamukelwa ngoba ingase ibe nenkinga yolimi.

UNksz Zama Ncwane ongumzali kaThembekile (16), obhalisele uGrade 10 eBonela Secondary School eMayvile, uthi kume ingqondo izolo etshelwa ukuthi ingane ayinaso isikhala. UNksz Ncwane osethenge umfaniswano nezincwadi zesikole, ubehluleka nokukhuluma ngenxa yesibibithwane.

Uthe indodakazi, uThembekile, ubehlala eHighflats efunda ngakhona kodwa waphoqeleka ukuthi ambuyise ngenxa yezinkinga zomndeni.

Ngenxa yokuthi akanayo imali, ubone kungcono uThembekile aye esikoleni azokwazi ukuhamba ngezinyawo. Lo mzali ohlala emjondolo, uthe waya ngoMsombuluko odlule eBonela Secondary. Uthe ngenxa yokuhlukumezeka nezinkinga zomndeni, ingane iwufeyilile uGrade 10.

“Ngatshelwa ukuthi angibuye ngoLwesibili olwandulela ukuvulwa kwezikole. Ngabuyela ngakusasa, nganikezwa ifomu engayigcwalisa khona esikoleni ngakhokha u-R1000 okuyimali yokufunda yonyaka. Ngashiya yonke imininingwane ngathola nesiliphu esiqinisekisa ukuthi ingane ithathiwe,” kuchaza yena.

Uthe kwathiwa angaphindela nayo emuva ingane ngoba amakilasi awakahlukaniswa. Lokhu kumnike nesikhathi sokuyothenga umfaniswano nezincwadi.

Kuthe ingane isibuyela yodwa esikoleni yahlaliswa nezinye ezifikayo ehhovisi kwathiwa kusalindwe ikilasi. NgoLwesihlanu kwathiwa ayiphindele emuva ibuye ngoMsombuluko.

UNksz Ncwane uveze ipheshana ebelimbizela esikoleni ngaleli sonto.

“Ngaya ngoLwesithathu, kwathiwa asibuye ngakusasa. Ngiyile izolo bangitshela ukuthi ingane angiyizamele ezinye izikole ngoba babona sengathi izoba nenkinga ngoba kufundwa ngesiNgisi.

Kwale sengincenga ukuthi abayifake ekilasini babone izoqhuba kanjani noma bayibuyisele kwaGrade 9 banqaba. Bagcine bethi ngingabuya kubona uma ngihluleka kwezinye izikole. Okungixakayo ukuthi bamthathe kanjani kwasekuqaleni njengoba bengangibuyiseli nemali,” esho ngokubibitheka.

Ozibize ngeNhloko yoMnyango esikoleni uqale wathi akalwazi udaba ucela intatheli ifike nengane esikoleni. Ubuye wathi intatheli bekumele iphenye ukuthi kungani ingane inqatshiwe. Ugcine ephakanyelwa umoya esethi umzali utsheliwe ukuthi akobuya uma ehluleka kwezinye izikole, okuyinto angakayenzi.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Mlotshwa uthe kuphambene nomthetho okwenziwe yisikole ngoba ingane ibhalisiwe.

“Sizoxhumana nesikole nomzali, ukuze ingane isizakale ibuyele esikoleni. Kumanje isilahlekelwe yisikhathi ingafundi,” usho kanje.

‘Ukudunusa kulimaza isithunzi sabesifazane’

$
0
0

UGXEKWA nxazonke umkhuba wokudunusa osuwandile emibhikishweni, ikakhulukazi owenziwa ngabesifazane.

|||

ZANELE MTHETHWA

UGXEKWA nxazonke umkhuba wokudunusa osuwandile emibhikishweni, ikakhulukazi owenziwa ngabesifazane.

Izinhlaka ezahlukene zithi lo mkhuba uzosiqeda nya isithunzi sabesifazane okujwayele ukugqugquzelwa ukuba kuhlonishwe amalungelo abo.

NgoLwesibili Isolezwe libike ngabesifazane abagasele emahhovisi e-ANC ePitoli bezokhalaza ngokunganeliseki kwabo, abakukhombise nangokudunusa.

Leli qoqo ebelifake amabhulukwe, liphenye izikibha laveza obhodisi, lehlisa amabhulukwe namaphenti ladunusa. Abazibonele kuthiwa babambe ongezansi, okubalwa nonogada.

Laba besifazane bebekhalaza ngomphumela womhlangano wabesifazane be-ANC egatsheni laseTshwane obuseHammanskraal ngeSonto.

Okhulumela i-ANC Women’s League uNkk Toxo Xasa, uthe bazothathelwa izinyathelo abesifazane abathinteka kulesi sigameko.

Izolo leli phephandaba liphinde labika ngombhikisho wabazali eSikhululiwe Primary, eNanda, abanye babo abaphakamise izingubo badunusa.

Kulo mbhikisho abazali bebekhala ngokuthi abamfuni uthishanhloko omusha abasola ukuthi ayilandelwanga imigudu yokuqashwa kwakhe.

Isolezwe lake labika nangombhikisho wabahlali abebekhishwa ezindlini zabahola kancane eNewlands eThekwini, nakhona omunye wabesifazane owadunusa.

Konke lokhu kwenzeka phambi kwamalungu omphakathi okubalwa nezingane.

UMnuz Protas Madlala, ongumhlaziyi wezepolitiki, uthi kunesigameko angasoze asikhohlwa lapho osomatekisi babebhikisha eMgungundlovu, omunye wabo wadunusela uMnuz S’busiso Ndebele owayenguNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal.

Uthe kuyadumaza ukuthi lo mkhuba uyaqhubeka futhi usuze ukapakela nakwabesifazane.

“Lokhu kukhombisa ukuthi abantu bangenza noma yini ukuze kuzwakale izimfuno zabo, esingazi noma ukudunusa kuyabasebenzela yini. Bekusakhalwa ngokucekelwa phansi kwempahla kodwa lokhu kunzima kakhulu ngoba kwehlisa nesithunzi somuntu. Kukhombisa nokuthi usuke engahlonishwa kangakanani obhikishelwayo,” echaza.

UMadlala uthe njengoba imimoya iphezulu sekusondele ukhetho, lo mkhuba ungase ube mandla.

UDkt Nomagugu Ngobese, wenhlangano eqhakambisa ukuziphatha kwabesifazane, uthe uyichilo umkhuba wokudunusa.

“Usuku nosuku siyehla isithunzi sabesifazane. Okubuhlungu wukuthi isithunzi asehli kwabadunusayo kuphela kodwa kubo bonke abesifazane. Ngokwesintu intombazane ifundiswa ukuhlonipha umzimba wayo, angazi-ke izingane zifundani ngokudunusa kwabantu abadala. Abesifazane sebewasebenzisa ngenye indlela amalungelo,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uthe ngokomthetho wakuleli kuyicala ukukhumula emphakathini.

“Lona ngumthetho obizwa ngePublic Indecency lapho kungavumelekile ukuveza umzimba emphakathini. Mhlawumbe abanye abazi ukuthi kuyicala futhi wumkhuba omubi owehlisa nesithunzi. Noma ubani ozibona ehlukumezeka ngalo mkhuba unelungelo lokuvula icala, kuthathelwe izinyathelo ngaphansi kwalo mthetho,” kusho uZwane.

Uthole ibheyili kwahlukana umndeni

$
0
0

UHLUKENE phakathi umndeni wentombazane eshaywe ngumfowabo yaze yashona ngoba eyisola ngokuqoma, eNgoje, eLouwsburg.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

UHLUKENE phakathi umndeni wentombazane eshaywe ngumfowabo yaze yashona ngoba eyisola ngokuqoma, eNgoje, eLouwsburg.

UBuyisile Nkosi (17) washaywa waze wafa ngumfowabo ngoJanuwari 10 nonyaka.

Kuvele ukuthi uBuyisile obefunda uGrade 9, washaywa ngenduku yonogada, washonela khona lapho.

Umfowabo uZimele Nkosi (22), unikwe ibheyili ka-R1 000 ngoMsombuluko (Januwari 18), icala labe selihlehliselwa uFebhuwari 29 nonyaka.

Izolo Isolezwe likhulume nelungu lomndeni elicele ukuba lingadalulwa igama.

Leli lungu lithe isimo sibi emndenini njengoba behlukene phakathi kukhona abajabulela ukudedelwa komsolwa abanye badinwe bathelwa ngamanzi.

“Isimo asisihle impela. Izingane zakwaNkosi ezabona udadewabo ebulawa, zihlulekile ukuhlala nomfowabo njengoba ededelwe. Ngakolunye uhlangothi abazali baseke ukuba adedelwe njengoba kuthiwa uyasebenza futhi uyondla (umsolwa). Lokhu sekwenze umndeni wahlukana phakathi.

“Abanye bafuna amaphoyisa amgcine esitokisini, abanye bakhala ngokuthi bazofa yindlala abakwaNkosi, ngakho kumele aqhubeke asebenzele umndeni wakhe. Sekuyinkombankombane ongayazi nje,” kusho umthombo.

Phambilini elinye ilungu lomndeni laliveze ukuthi bafuna umsolwa anganikezwa ibheyili ngoba bazibona bengaphephile.

Isolezwe lithole ukuthi abazali bengane bathi bacela umphenyi angayiphikisi ibheyili ukuze adedelwe umsolwa.

“Inhliziyo iyaqaqamba. Siwumndeni asihambisani nhlobo nokudedelwa kwalo mfana (umsolwa). Empeleni asiphephile uma ededelwa ngoba ukwazi ukubulala udadewabo. Akangayitholi nhlobo ibheyili futhi sifisa abolele ejele ngesenzo sakhe esimbi. Namanje sisashaqekile yilesi simanga asenzile,” kusho ilungu lomndeni.

Ilungu lomndeni laveza ukuthi okubaxakayo wukuthi le ngane abeyisola ngokuqoma yayikade icelile ukuvakasha kubazali bayo.

“Umufi wayekade ecele kunina ukuvakasha. Wamvumela. Kufike umsolwa evela emsebenzini eMnambithi, lapho ebengunogada khona. Ube esembuza ukuthi uvelaphi, ngaphandle kwempendulo, wavele wamshaya ngenduku.

“Ube eselandelisa ngenduku yonogada okuyiyo amqongqothe ngayo waze washona. Konke lokhu bekwenzeka ezinye izingane zibukela,” kusho ilungu lomndeni.

Ngesikhathi kwenzeka lokhu abadala babengekho ekhaya, kusele izingane zodwa.

Imizamo yokuthola unina wezingane ezithintekayo kulesi sigameko ayiphumelelanga, ucingo lwakhe beluvaliwe.

Kuzobashela abakweleta iNSFAS

$
0
0

AZOPHELA amahlathi okucasha kulabo abagoloza ukukhokhela iNSFAS.

|||

MHLENGI SHANGASE

AZOPHELA amahlathi okucasha kulabo abagoloza ukukhokhela isikhwama esixhasa abafundi ngemali emanyuvesi iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS) njengoba kunezinhlelo zokuthi imali ibanjwe emsebenzini.

Lesi sikhwama sikweletwa u-R21 billion kanti incane kakhulu imali esiyiqoqayo.

U-R10 billion wale mali ukweletwa abafundi abasebenzayo asebathweswa neziqu kuthi omunye u-R10 billion ukweletwa ngabasafunda.

Usihlalo walesi sikhwama, uMnuz Sizwe Nxasana, uthe banezinhlelo zokuqoqa imali ekweletwa ngabafundi.

Uthe ngalezi zinhlelo bakwaze ukuqoqa u-R8.5 million kubafundi abangu-12 000 abebeqala ukukhokha ngonyaka odlule.

Okhulumela umnyango weMfundo ePhakeme, uMnuz Khaye Nkwanyana, uthe banqume ukuyithatha emsebenzini kulabo abagoloza ukuyikhokha.

Uthe njengoba kwavalwa uhlelo lokufaka abangakhokhi kuma-credit bureau ayikho enye indlela abangayisebenzisa yokuqoqa imali.

“Siqale sikubhalele izincwadi sikucele ukuthi ukhokhe uma kuhluleka yonke le mizamo bese siya kumqashi wakho sifune ibanjwe inyanga nenyanga. Kuba buhlungu uma isibanjwa nyanga zonke ngoba isuke isinkulu kakhulu awukwazi ukunqaba. Yingakho sithi abantu abazizele bona baqale bakhokhe le mali singaze sibabambele yona emholweni,” kusho uNkwanyana.

Sekuqanjwe netemu elithi “abafundi ababuyise imali” ukuze kuxhaswe abanye abafundi.

UNxasana uthe uhlelo lokubuyisa imali aludli kakhulu ephaketheni ngoba kuze kukhokhwe uma umuntu esehola u-R30 000 ngonyaka.

“Uma uhola u-R30 000 ngonyaka ukhokha u-R900 okusho ukuthi ngenyanga ukhokha u-R84 kuphela. Uma uhola kusuka ku-R59 300 ngonyaka ukhokha u-R4 744 ngonyaka owenza u-R395 ngenyanga,” kusho uNxasana.

UNxasana uthe bazokhokhela izikweleti zabafundi kusuka ngo-2013 kuze kube wunyaka odlule.

“Lezi zikweleti sizibekele u-R2.543 billion kanti ezisukela ku-2013. Amanyuvesi kuzomele azibonele eyenzalo ngoba ngeke siyikhokhe njengoba sizokhokha kuphela imali eyathathwa ngumfundi hhayi inzalo kusuka ngo-2013 kuze kube yimanje,” usho kanje.

Uthe kulo nyaka wezimali lesi sikhwama sino-R14.82 billion sisuka ku-R10 billion wangonyaka odlule.

“Sijube abasebenzi abangu-23 abazosiza abafundi emanyuvesi. Siqeqeshe nalabo abakhipha izimali ezikhungweni zemfundo ukuze benze lo msebenzi ngendlela,” usho kanje.

Amanyuvesi namakolishi asenikwe u-R1.8 billion ukubhekana nokubhaliswa kwabafundi kanti akekho umfundi ozoshiywa ngaphandle kulabo abaxhaswe yilesi sikhwama.

Uthe abafundi abazoxhaswa yilabo abantulayo abadinga usizo.

“Uxhaso lwethu luzobheka ngqo kubafundi abaswele labo abaqhamuka emindenini ephila kahle ngeke sibaxhase,” kusho uNxasana.

Kusuke umsindo abafundi befuna imfundo yamahhala kuwona wonke umfundi kuleli.

I-ANC noNgqongqoshe walo mnyango uDkt Blade Nzimande banxuse abanamandla okuzikhokhela ukuthi bakhokhe.


Isihluku owe-IFP ejuqwa phambi komkakhe

$
0
0

Udutshulwe ngoxhaxha lwezinhlamvu washona uMnuz Thomson Ncwane ezihlalele nomkakhe.

|||

S’MANGELE ZUMA

UDUTSHULWE ngoxhaxha lwezinhlamvu washona umholi we-IFP, uMnuz Thomson “Mlungu” Ncwane (52) ezihlalele nomkakhe ngaphandle kwegumbi lakhe, ehostela KwaMashu, ngoLwesithathu ebusuku.

Akucaci noma ukufa kukaMnuz Ncwane obephinde abe nguSihlalo wesigceme saseThembalihle ehostela kuhlangene nezepolitiki noma ngabe bekusaqhubeka umbango wezindlu abesolwa ngokuba wubhongoza wawo.

Umkakhe uNkk Happy Ncwane (42) uthe bebezipholele emnyango nomakhelwane njengoba bebezwela ukushisa uma bephakathi ezindlini.

“Kuvele kwaqhamuka umfana obefake isandla ngaphansi kwejakhethi. Wadonsa isibhamu wadubula ubaba. Omakhelwane babalekile ngesikhathi sisaqhuma okokuqala isibhamu sasala nobaba sobabili. Ngithe ngokubona ukuthi udubula ephindelela nami ngabaleka ngangena endlini. Uze wamdubula ngisho esebaleka. Umdubule ngezinhlamvu eziyishumi, ezimbili zokugcina umdubule emhlane esethi ungena endlini. Uwele phambi komnyango wathulela khona lapho,” kulandisa uNkk Ncwane.

Uthe basadidekile ukuthi ngabe uNcwane ubulawelweni ngesihluku esingaka ngoba bebemazi njengomuntu obengenazo izitha.

“Bese kuphele unyaka engumholi weNkatha lapha ehostela aphinde futhi abe ngusihlalo wesibonda (block) saseThembalihle. Asiboni ukuthi ukubulawa kwakhe kuhlangene nezepolitiki ngoba akukaze kube khona umbango wezepolitiki endaweni. Sihlalisene kahle nomakhelwane abangamalungu e-ANC. Sisadidekile kepha siyethemba ukuthi uphenyo lwamaphoyisa luzosicacisela kahle,” kusho uNkk Ncwane.

Uzakwabo kaNcwane ongumgqugquzeli we-IFP ehostela, uMnuz Bongani Khoza (44), uthe bagqemeke ingozi ngokushona komholi wabo obesebenza ngokuzimisela ngaso sonke isikhathi.

“Namanje sisazibuza ukuthi ngabe ubexabene nobani ngoba ubengumuntu wabantu. Ufa nje ubesezoyeka ukuba ngusihlalo wakule ndawo ngoba efuna ukugxila emsebenzini weqembu lethu. Asikaze sizwe ukuthi unezitha ngoba ngisho ebelungisa udaba lwasendaweni ubekwenza ngobuchule, engasoli muntu kodwa egqugquzela ukuzwana,” kusho uKhoza.

Ngokusho kwelungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa, uNcwane ubesanda kuxabana nabalisa thizeni abebefuna izindlu zabo abathi wazithatha ngo dli.

“Laba balisa bahamba bashiya izindlu zabo ngenxa yezimo ezithile bathi bebuya bathola uNcwane esefake abanye abantu. Bafikile bamncenga ukuthi abuyise izindlu zabo kodwa wabachitha. Baze bamkhiphela isibhamu bathi bazombulala kodwa akazange anake,” kuveza leli lungu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLietenant Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi owesilisa ona-52 udutshulwe wabulawa ngumlisa ongaziwa KwaMashu ehostela.

“Amaphoyisa aKwaMashu aphenya icala lokubulala. Imbangela yesehlakalo ayikaziwa futhi akukaboshwa muntu okwamanje,” kusho uGwala.

Isitifiketi sokuzalwa simi endleleni yakhe

$
0
0

UFISA ukubuyela esikoleni umfundi ka-matric okwakumele awufunde ngonyaka odlule kodwa waxoshwa ngoba ekhulelwe.

|||

S’MANGELE ZUMA

UFISA ukubuyela esikoleni umfundi ka-matric waseMtapho Secondary School eNtuzuma, okwakumele awufunde ngonyaka odlule kodwa waxoshwa ngoba ekhulelwe.

Nakulo nyaka uhleli ekhaya njengoba enenkinga yokuthola umazisi odingeka esikoleni sakhe ukuze abhale umatric.

UNksz Albertina Cucu (18) waseRichmond Farm usola unina ongowokudabuka eMozambique ngokumlaxaza noninakhulu ngale kokumlungisela isitifiketi sokuzalwa.

“Angikaze ngibe naso isitifiketi sokuzalwa, okwenza kube nzima ukuthola umazisi. Lokhu kungiphatha kabi ngoba ugogo wami usezame kaningi ukungilungisela lolu daba kodwa aboMnyango wezaseKhaya bavele bathi kumele ngibuye nomama wami. Angazi nokuthi ngizoqala ngaphi ukumfuna ngoba wangilaxaza ngisemncane. Impilo yami imile manje, angisakwazi ukuqeda isikole ngibe ngawuphasa ugrade 11,”kusho uNksz Cucu.

Uthe esikoleni bamtshele emehlweni ukuthi ngeke akwazi ukubhala umatric engenawo umazisi.

“Kungiphatha kabi ukuhlala ekhaya nakulo nyaka. Ngonyaka odlule ngaxoshwa esikoleni ngoba ngikhulelwe. Kulo nyaka angikwazi ukubuyela futhi ngenxa yokungabi nomazisi. Ngicela usizo ngoba nengane yami angikwazi ukuyishayela isitifiketi. Angiyiholi nemali yeqolo. Ngifisa ukuqeda isikole ukuze ngizokwazi ukuthuthukisa impilo yami nomndeni wami,”kusho uNksz Cucu.

Uninakhulu uNksz Victress Nodliwa (63) uthe kumphatha kabuhlungu ukuthi umzukulu wakhe akasafundi ekubeni ulindele lukhulu kuye.

“Unina wamshiya kimina esemncane ngaphandle kokumenzela isitifiketi. Ngizame kaningi ukumenzela kodwa ngahluleka. Ngisola ukuthi kwayena ebengenawo umazisi wakuleli lizwe njengoba edabuka eMozambique. Ubudedengu bakhe sebuhluphekisa umntwana manje. Ngifisa sengathi angabuya amlungisele le nto kamazisi bese eyaqhubeka nezindlela zakhe ke. Le ngane iyona ebenginethemba lokuthi iyongingcwaba,”kusho uNksz Nodliwa.

Uthe akazi yini aboMnyango wezaseKhaya benqaba ukubasiza ngoba unalo ikhadi lomgomo, nasesibhedlela eKing Edward bayaqinisekisa ukuthi wazalwa khona.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu Natal, uMnuz Muzi Mahlambi ucele imininingwane kaNksz Cucu ukuze umnyango uphenye ngodaba lwakhe.

“Isonto lesibili kuvulwe izikole kodwa ima elusukumela manje udaba lwakhe. Lo muntu kufuneka ngabe usesikoleni udaba lukamazisi alulungise engaphakathi,”kusho uMahlambi.

Imizamo yokuthola uMnyango wezaseKhaya ukuze uphawule ayiphumelelanga kuze kwashaya isikhathi sokushicilela.

Ungene ogibeni ethenjiswa u-R8 000

$
0
0

UYAZISOLA owesifazane oyalelwe umngani waku-Facebook ngendoda athe igixabezana ngemali uma uyithumela izithombe zakho unqunu.

|||

ZANELE MTHETHWA

UYAZISOLA owesifazane waseHammarsdale oyalelwe umngani waku-facebook ngendoda athe igixabezana ngemali uma uyithumela izithombe zakho unqunu kodwa osekuyiyona efuna imali.

Lo wesifazane oneminyaka engu-21, usephila kanzima njengoba lo wesilisa ozibiza ngoJacob Smith esabisa ngokusabalalisa izithombe zakhe. Le ndaba imudla yedwa njengoba esaba nokubikela umndeni wakhe.

Uthi kwakunguLwesibili olwedlule ethola umyalezo ngasese ku-facebook kowesifazane ongumngani naye kodwa abangazani. Lo mngani Isolezwe elinalo igama lakhe kubhalwe ukuthi ngowaseNewcastle, ufunda eDurban University of Technology.

“Wayengibongela ukuthi uJacob umtshele ukuthi unginike u-R8 000. Ngiphikile ngambuza nangalowo Jacob wathi ngowasePitoli. Ngimtshelile ukuthi angimazi,” kuchaza yena.

Ngenxa yokuheheka uthi wabuza kabanzi ngoJacob. Lo mngani ka-facebook wamtshela ukuthi naye akaze ahlangene noJacob kodwa umfakela imali kwi-akhawunti. Uthe ufuna abesifazane bathumele izithombe zabo benqunu, athe uzisebenzisa ukwanelisa imizwa yocansi.

“Wabuza ukuthi ngiyayifuna yini imali, ngavuma. Wanginika nenombolo yakhe athe ngikhulume naye ku-WhatsApp. Nangempela ngaxoxa noJacob wathi angithumele izithombe zami nginqunu bese ngimthumela ne-akhawunti uzongifakela u-R8 000. Ngize ngathumela izithombe ezintathu ngoba ubethi ufuna ngimoyizele, ngivule nemilenze,” usho kanje.

Isolezwe lizibonile izithombe zalo wesifazane azithumele uJacob ezikhombisa ngisho ubuso bakhe, nesitho sangasese sihleli obala.

Emuva kokuthumela izithombe uJacob umjikele wathi izithombe zakhe uzozisabalalisa kwi-internet uma engamniki u-R2 000. Kwale ezikhalela emtshela ukuthi akanawo wathi ufuna okungenani uR500 wediphozi.

Uthe ubuyele kumngani ka-facebook wathi naye ubezama ukuphunyuka kuJacob ngokumxhumanisa naye. Kuthiwa lo Jacob uphinde athi mxhumanise nabanye besifazane uma uhluleka ukumkhokhela, naye enze okufanayo kubona. Lo wesifazane naye ubesefake nomngani wakhe waKwaDabeka, okuthe esemthumelele izithombe uJacob naye wamjikela.

“Sengiyazisola ngoba umngani usekhala ngami ukuthi ngimenzele phansi. Ngiyasola ukuthi lo wesifazane waku-facebook usebenzisana naye uJacob ukuheha abesifazane,” kuchaza yena.

Isolezwe liwubonile u-facebook walo wesifazane eqhoshela abanye ukuthi ugixabezwa nguJacob ngemali. Abanye bakhombisa ukungakholwa kodwa abanye bafuna ukwazi kabanzi. Ubatshela ukuthi uma befuna ukuba njengaye abakhulume ngasese ngoba akanamona.

Amaphoyisa athe azokwazi ukuvula icala kuphela uma uJacob esabalalisa izithombe zalaba besifazane. Azamile ukushayela inombolo kaJacob kodwa ikhala ingabanjwa kanti neSolezwe lihlulekile ukumthola kuyona yize ekhombisa ukuthi uyayisebenzisa kuWhatsApp.

Okusabisa lo wesifazane uthi uJacob usenalo ngisho ikheli lakubo asola ukuthi ulithole nge-akhawunti yasebhange.

Abe-ANC bamashele ukucwasa

$
0
0

UMPHAKATHI waKwaDukuza namaphethelo ongamalungu e-ANC, udele ilanga wangenela imashi elwisana nobandlululo.

|||

CHARLES KHUZWAYO

UMPHAKATHI waKwaDukuza namaphethelo ongamalungu e-ANC, udele ilanga ngoLwesihlanu, wangenela imashi elwisana nobandlululo.

Le nhlabaluhide isukele ngaphambi kwehhotela iLa Montagne, eBallito yahamba yaze yayophelela enxanxatheleni yezitolo iBallito Lifestyle Centre.

Omunye obekule mashi kodwa ongavumelekile ukukhuluma nabezindaba, uthe okususe phansi umphakathi wakule ndawo ukuzwa amahlebezi okuthi uNkk Penny Sparrow ungumakhelwane waleli hhotela.

Ngokusho kukaSihlalo we-ANC esifundeni iKwaDukuza, uMnuz Ricardo Mthembu, abantu bakule ndawo bese kubame emphinjeni ukucwaswa kwabantu abamnyama.

“Yingakho sithe asihlanganeni namaNdiya namakhaladi ukuze silwe nobandlululo ngokuhlanganyela. Kusiphathe kabi ukuthola ukuthi kusenabantu ababezuza ngobandlululo, abasaqhubeka nokusikhumbuza ngobandlululo yize besesixolile.”

Yize bekulindeleke ukuba kutheleke izinkumbi zabantu kodwa kuvele kwafika ingcosana yabantu abamnyama.

Ebuzwa uMthembu uthe bebevele belindele abantu abancane kodwa okumangazile wukuthi imashi ize yaqala ngo-11 ekuseni esikhundleni sika-9 ngenxa yakho ukugqoza kwabantu.

Ezinye izinhlanga zibonakale zivela ngamawindi emaflethini akhelene naleli hhotela. Abanye abantu abamhlophe bebezingcebelekela bekhombisa ukungayishayindiva le mashi. NamaNdiya abethe gqwa, abonakale esegibela ezimotweni elandela akade bemasha ngemuva. Ezingqwembeni ebeziphethwe ngabantu bekukhona ezibhalwe ukuthi “Akawe uSparrow…UChris Hart ungumbandlululi…” Nakuba abantu bebecula kodwa ezinye izimoto bezidlalela phezulu ama-CD aqukethe izingoma zomzabalazo.

Okunye okuqaphelekile ukutheleka kwezingane ezincane obekufanele ukuba bezisesikoleni ngalesi sikhathi.

Uhlu lwezikhalo bekulindeleke ukuba lwamukelwe nguNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko kuleli uMnuz Nathi Mthethwa.

‘UMaimane ucenta igceke lika-madam’

$
0
0

UMnuz Fikile Mbalula ukhwele wadilika kumholi we-DA uMnuz Mmusi Maimane wambiza ngomfana ocenta igceke lika-madam.

|||

MLUNGISI GUMEDE

UNGQONGQOSHE wezeMidlalo kuleli ophinde abe yilungu lesigungu esiphezulu ku-ANC uMnuz Fikile Mbalula ukhwele wadilika kumholi we-DA uMnuz Mmusi Maimane wambiza ngomfana ocenta igceke lika-madam.

Ekhuluma enkundleni yezemidlalo eSikhawini College embuthanweni we-ANC wokugubha iminyaka engu-104 yasungulwa, uMbalula uthe amalungu ehlangano yabo akumele athuswe yi-DA.

“Ningasatshiswa yi-DA eholwa abafana abamnyama abacentela abelungu amagceke. UMaimane akasiye umholi. Abukho ubuholi kwi-DA, uMaimane ungumfana ocentela igceke uMadam. I-DA ifana no-ice cream ka-chocolate ngaphezulu ukhavwe u-chocolate kodwa konke okungaphansi kumhlophe. Iningi labantu bakuleli bayayithanda i-ANC ngoba yaletha ushintsho empilweni yabo, nabantu baseNkandla nabo kumele bakhululwe lokho kungenzeka ngokuthi bavotele i-ANC,” usho kanje.

UMbalula uphinde wanxusa amalungu kaKhongolose ukuba ahloniphe imiphumela yezingqungquthela ayeke nokumashela umbutho.

Uthe amagatsha e-ANC akhetha uMnuz Sihle Zikalala ukuba abe nguSihlalo wawo KwaZulu-Natal.

“UZikalala ungumholi we-ANC lapha KwaZulu-Natal, labo abahlulwa engqungqutheleni kumele bameseka babuyele emagatsheni basebenzele uKhongolose,” usho kanje.

UMbalula uthe unethemba lokuthi bazonqoba okhethweni lohulumeni basekhaya oluzayo.

Ethula inkulumo kulo mbuthano, uZikalala uthe labo ababiza abanye abantu ngezilwane nabo bayizona.

“Labo abasibiza ngezinkawu bayisizukulwane sabacindezeli nabacwasi abathatha umhlaba wethu futhi abangenandaba nabantu abamnyama. I-DA isizikhombisile ukuthi iyiqembu labacwasi ngokwebala,” kusho uZikalala.

Ugxeke labo abangamalungu e-ANC kodwa abafuna ukungenela ukhetho lohulumeni basekhaya ngokuzimela wathi ngosomathuba.

USihlalo we-ANC esifundeni iMusa Dladla uNkk Nonhle Mkhulisi unxuse amalungu enhlangano ukuba abumbane uma eseqoka labo abazoba ngamakhansela.

“Abantu abazonikwa lo msebenzi kumele basebenze ngokuzikhandla bazi ukuthi bathunywe i-ANC,” usho kanje.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>