Sidinga usizo isalukazi sakwaFelekisi, eManzimtoti, esondla abazukulu abayisithupha.
|||
NONTUTHUKO NGUBANE
SIDINGA usizo isalukazi esineminyaka engu-72 sakwaFelekisi, eManzimtoti, esondla abazukulu abayisithupha ngoba indodakazi yaso eneminyaka engu-35 isebenzisa yonke imali yesondlo sezingane otshwaleni.
UNkk Doris Mseleku (72) utshele Isolezwe ukuthi indodakazi yakhe uNksz Dumazile “Masider” Mseleku (35) iyehluleka wukunakekela izingane zayo njengoba ezinye sezize zaxoshwa esikoleni.
UNkk Mseleku uthi indodakazi yayinezingane eziyisikhombisa, kwashona eyodwa njengoba ziyisithupha eziphilayo.
Izingane zakhe zineminyaka ephakathi kuka-14 nezinyanga eziyisithupha.
Izolo evakashelwe yiSolezwe emzini wakhe, uninakhulu wezingane uthe kumanje ezintathu zixoshiwe esikoleni ngoba zingenawo umfaniswano osesimweni esifanele nezicathulo zesikole zingabonwa.
Izingane zikaDumazile ezifunda uGrade 5 nefunda uGrade 1 e-Dr Made Primary zigcine ngoMsombuluko esikoleni ngenxa yenkinga yomfaniswano nezicathulo ngoba bezifaka amateku anezimbobo.
“Izingane eziphilayo zendodakazi yami ziyisithupha, ezinhlanu zihlala nami zondliwa yimina ngenxa yokuthi yena uyahluleka ukuzondla. Endala ihlala ezihlobeni. Ezinye zidla lapha ekhaya. Okungixakayo wukuthi indodakazi yami iyayithola imali yesibonelelo sikahulumeni, sezingane ezintathu. Ayikho imali anginikeza yona ukuze ngithenge ukudla. Namanje njengoba izingane zixoshiwe esikoleni ngenxa yokungabi nazo izicathulo, asazi ukuthi zizothengwa ubani. Ngihola impesheni nami, anginayo imali eyenele ukondla abazukulu. Ngidinga usizo ngoba indodakazi yami ayizinaki izingane zayo,” kusho uNkk Mseleku.
Uthe enye yezingane zakhe ike yahlala esibhedlela izinyanga ezintathu engasayibheki.
“Ngangizitshela ukuthi ingane uyayibheka esibhedlela ngoba ubephuma endlini ethi uya kuyona. Ngafika ingane isihlale cishe izinyanga ezintathu, isinesikhathi isindile. Izingane akazinaki. Uma ngikhuluma ngemali yesibonelelo uvele axabane nami,” kusho uNkk Mseleku.
UDumazile ofike Isolezwe lixoxa nonina uvumile ukuthi unenkinga yophuzo oludakayo.
“Ngiyaphuza impela kodwa angisabufuni ngoba uma ngiphuzile angenzi kahle. Izingane zami ngiyazama ukuzinakekela. Inkinga ukuthi noyise akafuni ukuzondla, udelela kabi uma ethole imali. Ngiyafisa ukuthola noma iphilisi elingenza ngiyeke utshwala ukuze ngizogxila ezinganeni zami,” kusho uDumazile.
Uthe uhlala emjondolo oyikamelo elilodwa ngakubo. Uthe yingakho izingane zakhe zihlale zikubo.
“Ngihlala emjondolo owodwa naye uyise walezi zingane. Ngiyakuthenga ukudla, ziyadla bese ziyolala kumama ekhaya. Ngiyazinaka izingane zami, ikakhulukazi le encane, angisayishiyi kumama ngihambe ebusuku,” kusho yena.
UDumazile wayeka isikole kaGrade 7 ngoba esengene shi ophuzweni.
UNkk Mseleku uthe indodakazi yakhe ayifuni ukutshelwa ikakhulukazi uma isiphuzile.
“Ngaqala ukumbona ukuthi uyaphuza ngoba wayeshiya ingane yakhe yokuqala encane ubusuku bonke eyophuza. Ngiye ngimkhuze kodwa akalaleli,” kuzikhalela uNkk Mseleku.
UDumazile uthe okwenza wangabhalisela isibonelelo semali kahulumeni sezingane ezintathu yingoba umasizi wakhe wathathwa wumashonisa kulandela ukutsheleka imali kuyena.
“Kuneminyaka umazisi ngingenawo, ngiwuthole kuleli viki. Yingakho ngingazange ngikwazi ukubhalisela izingane zami ukuba zihole,” kusho yena.
Uthe impilo inzima kakhulu njengoba engasebenzi noyise wezingane engalekeleli.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uMnuz Vukani Mbhele ukhuze umhlola ngalesi sigameko wathi bazothumela osonhlalakahle.
“Umama owenza lokho akumele athole isondlo sezingane kuhulumeni ngoba akazondli. Umuntu okumele athole imali ngugogo wezingane. Sizothumela osonhlalakahle ukuze bangenelele sizame nokulungisa indaba yezingane ezingasitholi isibonelelo sikahulumeni,” kusho uMbhele.
UMnuz Scelo Khuzwayo okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthe asikho isikole esinemvume yokuxosha ingane.