UMnuz Zwelinzima Vavi uhlabe ikhwelo lokuba uMengameli Jacob Zuma athathe isinqumo esizwela ikusasa lezingane ezisakhula sokushenxa.
|||INTATHELI YESOLEZWE
OWAYENGUNOBHALA Jikelele weCosatu, uMnuz Zwelinzima Vavi uhlabe ikhwelo lokuba uMengameli Jacob Zuma athathe isinqumo esizwela ikusasa lezingane ezisakhula sokushenxa esikhundleni sokuhola iNingizimu Afrika ngoba kuningi osekonakele.
UVavi ubekhuluma nezinkumbi zabantu ebezimashela ukuba kukhishwe uZuma esikhundleni embuthanweni obuseNelson Mandela Bridge, eGoli izolo.
“Sikhathele uZuma nenkohlakalo eyenzeke embusweni wakhe, uhlulekile ukuhola izwe ngobuqotho ngakho akaphume esihlalweni ukuze agcine le lizwe liphephile ezinkingeni. Sicela asenzele umusa acabangele ikusasa lezingane zethu ezisakhulayo ngokuthi ashenxe esikhundleni. Okunye esifisa kucace ukuthi sikhethe lolu Suku lokuBuyisana ukuze sithumele umyalezo kubona bonke abantu bakuleli nasemhlabeni jikelele nakulabo abayizimpisi ezigcwele inkohlakalo ukuthi sesikhathele,” kusho uVavi.
Uthe uZuma uhluleke wancama ukubhekela abantu abampofu, abasebenzi nezakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezihlakaniphile futhi ezikwazi ukucabanga ngokuzimela ngendlela eya phambili.
I-ANC ithe abebemasha bebephikisana nomoya wokubuyisana ezweni. Ithe yona ikholwa wukuthi iNingizimu Afrika idinga kubanjiswane kusuka kwizakhamizi nasemaqenjini aphikisayo ukuze kube nenqubekela phambili.
Abanye abaholi abebekule mashi ngowake waba nguNgqongqoshe wezeMpilo, uNkk Barbara Hogan nabanye.
Umkhulumeli we-ANC uMnuz Keith Khoza uthe inkinga ekhona wukuthi ngesikhathi kunemizamo yokubuyisana kukhona abavele badonse babhekise eceleni bangahambisani nombono wokubumbana.
Amamashi okuphoqa ukuba kuxoshwe uZuma esikhundleni abeseKapa, Port Elizabeth, ePitoli naseGoli kwasekuba nedlanzana ebeliseMgungundlovu KwaZulu-Natal.
Abahlaziyi bezepolitiki bayihlabe bayihlikiza indaba yale mashi yokuxosha uZuma bathi ifana nehlaya futhi ishiya imibuzo ukuthi kungani abebala elimhlophe bebephume kangaka ekubeni uma kunemigubho edinga zonke izinhlanga ababonwa nangokhalo.
UDkt Bheki Mngomezulu wesikhungo iMzala Nxumalo uthe bekungukuchitha isikhathi ukubakhona kwala mamashi ngoba awukho umthelela azoba nawo esinqumeni esithathwe yi-ANC sokungamxoshi uZuma.
“Kwabebemasha akukho noyedwa onamandla okususa uZuma esikhundleni ngoba abekho esigungwini esithatha izinqumo ku-ANC. UKhongolose usithathile isinqumo sokumeseka uZuma ngakho ukumashela ukuba asuswe esikhundleni bekufana nomdlalo.
“Akuqali ukuthi kube khona abalwela ukuthi uZuma axoshwe esikhundleni kodwa bonke abakaze baphumelele yingakho ngithi nale mashi ngeke ibe namthelela ku-ANC,” kusho uMngomezulu.
Umhlaziyi ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthe imashi bekungeyabantu abebenezinhloso zabo ezingahlangene nokuzwelana nezwe. “Uma ubheka kahle kubonakale abamhlophe nabamnyama abangongxowa bephume ngobuningi ngoba bezovikela umnotho wabo osesezandleni zabambalwa. Okunye laba bantu ngeke ubabone uma kunemicimbi yokubuyisana ehlale yenziwa wuhulumeni kodwa sibone bephume ngobuningi kucaca ukuthi basafuna konke kume ngendlela evuna idlanzana ngakwezomnotho kuleli. Okunye amaqembu aphikisayo abesebenzisa ithuba lokuziveza kanti laba abaxabana ne-ANC bebezoveza intukuthelo yabo,” kusho uKhumalo.