Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Uzilengisile umfundi ofeyile uGrade 10

$
0
0

Utholwe elenga ekamelweni likanina umfundi kaGrade 10, uThalente Dlamini ngemuva kokuthi ethole iripoti elithi ufeyilile.

|||

S’MANGELE ZUMA

UTHOLWE elenga ekamelweni likanina umfundi kaGrade 10, uThalente Dlamini (17) obefunda eMkhumbane Secondary, eMayville ngemuva kokuthi ethole iripoti elithi ufeyilile ngoLwesithathu.

Iripolti lakhe ekade elilande esikoleni njengoba bekuvalwa litholakale liphansi okusolwa ukuthi uliqathaze ngesikhathi ezihila.

Unina okuthiwa ukhihle isililo esemfica esethule, kuthiwa ubelokhu ekhale ngokuthi umntwana wakhe akamnikezanga ithuba lokuhlala phansi naye, amluleke ngesimo abebhekene naso.

Umakhelwane ongathandanga ukudalulwa, uthe konakale ngokuthi uThalente afike naleli ripoti kungenamuntu kubo okumnikeze ithuba lokuthi athathe isinqumo esibi kangaka.

“Sisola ukuthi uvele wangazi ukuthi abazali bakhe uzobabhekelwa ngubani njengoba efeyilile, wabona kungcono azibulale. Uzilengise ekamelweni, iripoti lakhe beliwele phansi. Unina uthe ebuya emsebenzini wabe ezithela kuyena elenga. Sizwe ngesililo sakhe ukuthi khona okonakele. Sithe sisondela nathi sabe sesimbona elenga. Ubhedile yena ngokungalindi ukuthi abone ukuthi abazali bakhe bazothini. Vele bebezothetha kodwa bebengeke bambulale. Uxhamazelile nje yena kanti ukufeyila bekungaqali futhi kungagcini ngaye,” kusho umakhelwane.

Uthe kubi khona uma sekwenzeke kanjena kepha uThalente ubeyingane ebibonakala ukuthi isiyaphuma esandleni.

“Asethembe ukuthi lokhu kuzoba yisifundo nakwezinye izingane ukuthi uma ungazimiseli esikoleni ulibele ukujaha izinto ezikude nawe ngeke wenze kahle esikoleni. Ngeke kuphase konke, izingane ake zinake imfundo kuqala,” kuqhuba umakhelwane.

Ubabekazi kaThalente uNksz Nolufele Dlamini unqabile ukuphawula wathi basematasa ngamalungiselo omngcwabo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal uLieutenant Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseCato Manor aphenya icala lokufa komuntu.

UMnuz Muzi Mahlambi, okhulumela uMnyango wezeMfundo, uthe bengumnyango bayazwelana nomndeni olahlekelwe ngumntwana.

“Sicela ukugcizelela kubantwana abazithola bekulesi simo ukuthi ukufeyila akusho ukuphela kwempilo. Kubalulekile ukuthi umfundi ofeyilile acele umzali wakhe ukuthi amphelezele esikoleni ukuyobuzisisa ukuthi bafeyiliswe yini nokuthi yini engenziwa ukugwema lokhu ngokuzayo. Omunye uthola ukuthi uzibulala nje kanti ubeshodelwa amamaki amancane abengathi uma eya esikoleni akwazi ukuxoxisana nothisha,” kusho uMahlambi.

Lo mfundi ongowesibili esibika ngaye kuleli sonto ozibulale ngale ndlela ngemuva kokufeyila.

NgoLwesithathu sabika ngo-Ayanda Thabethe (17) obefunda uGrade 10 e-Albini Girls High eNtshongweni naye okuthiwa uzikhungile ngoLwesihlanu.


Sebesisebenzisa ngezindlela eziningi isinemfu

$
0
0

Kwexwayiswa abesifazane ngobungozi bokusebenzisa isinemfu.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE noLUNGI LANGA

KWEXWAYISWA abesifazane ngobungozi bokusebenzisa isinemfu njengoba sekuvamile ukuthi babonakale bephethe amadosha esinemfu abasishutheka ngaphansi kolimi noma basihlohle esithweni sangasese.

Abanye balibiza nge-ntsu, abanye usne abanye bathi ugwayi wamakhala, kodwa idoshana elimnyama elinesivalo esiphuzi libukeka lingenisa kubantu besifazane abasebancane. Ngokwenhlangano eqwashisa ngomdlavuza kuleli, iCancer Association of South Africa (CANSA), isinemfu sinobungozi obufanayo nogwayi futhi singaholela ekutheni uhlaselwe wumdlavuza.

Ngokwale nhlangano isinemfu sidayiswa kubantu njengohlobo lukagwayi ongenabo ubungozi njengogwayi oshiswayo.

Ungoti kwezomdlavuza, uDkt Thandeka Mazibuko ongumsunguli wenhlangano egqugquzela ukuhlolwa komdlavuza, iSinomusanothando uthe isinemfu siyingozi. Singaholela ekutheni abantu babe nomdlavuza emlonyeni.

UDkt Mazibuko uthe abantu besifazane abaze badlulele ekutheni basebenzise isinemfu esithweni sangasese bazibeka engcupheni yokuthola umdlavuza kusona isitho sangasese.

Uthe isitho sangasese somuntu wesifazane silimala kalula ngenxa yendlela esakheke ngayo.

Ukufaka izinto ezithile ezisetshenziswa abantu besifazane ngenhloso yokwenza ucansi luthakaseleke kusibeka engcupheni. Kuze kubabeke engcupheni yokuthi babe nomdlavuza.

Ngokusho kwakhe akusona kuphela isinemfu esivame ukusetshenziswa abantu besifazane ukuzama ukwenza isitho sabo sangasese sithakaseleke ngesikhathi kuyiwa ocansini.

Uthe abantu besifazane basebenzisa izindlela eziningi zokuhlanza isitho sangasese okubuye kwaziwe ngedouching.

“Asikho isidingo sokuhlanza isitho sangasese usebenzisa ezinye izinto ngaphandle kwamanzi.

Ayikho into okufanele ingene esithweni sakho sangasese ngaphandle kwe-tampon uma ulashelwa umdlavuza ngohlelo lwe chemotherapy noma uma kukhona into edinga ukufakwa udokotela ngoba ekuhlola. Isitho sowesifazane sangasese asidingi ukufakwa zonke lezi zinto ezifakwa abantu besifazane kusona,” kusho uDkt Mazibuko.

Ukusetshenziswa kwesinemfu esithweni sangasese sekukhathaze nezangoma.

UNkk Rose Phakade (77) onesigodlo eNanda uthe uyasisebenzisa isinemfu kodwa waqala ukuzwa ngaso ngesikhathi esathwasa. Uthe kuyamangaza ukubona amantombazane asemancane edushana eyothenga isinemfu. “Ngangiphathwa yikhanda ngisathwasa. Ngilele ngabona ephusheni abadala bengikhombisa idosha lesinemfu ukuthi lizongisiza kuleli khanda. Ngaqala lapho ukusisebenzisa. Ngisibhema ngamakhala. Ngisibhema ngoba siyangisiza. Kungiphatha kabi ukubona amantombazanyana esephethe leli dosha, alishutheka ezindaweni eziningi,” kusho uNkk Phakade.

“Kuyadida ukuthi ugwayi wamakhala ungasiza kanjani kwezocansi. Laba abenza lokhu benza lo gwayi ungabukeki kahle. Ngokwami anginamahloni ngawo ngoba uyangisebenzela. Bengiwubeka naphezu kwetafula uma ngiwubhema,” kusho uNkk Phakade. Isolezwe lithole ngowesifazane waseThekwini ongathandanga ukudalulwa, ukuthi uyawusebenzisa lo gwayi ukuzijabulisa.

“Ngiwufaka emlonyeni, ngasemazinyweni angaphambili. Ngizizwa ngikhululeka, kube mnandi umzimba wonke uma sengisishutheke emlonyeni. Bakhona abawufaka esithweni sangasese kodwa mina angikwenzi lokho ngiyesaba,” kusho lo wesifazane. Akusathusi ukubona osesifazane eshutheka lo gwayi emlonyeni ngoba sekujwayelekile. Ozibize ngoSakhile Ndlovu odayisa kwesinye sezitolo eMount Royal uthe isinemfu sinedumela kakhulu kwabesifazane abancane njengoba sihamba ngokushesha. Sidayiswa u-R5 kodwa kubuye kuhluke ngezindawo.

Ingwadla ngokhishwe esibhedlela esagula

$
0
0

Usephenduke umthwalo womakhelwane uMnuz Jabulani Shozi okhishwe esibhedlela iStanger ngemuva kokuhlala inyanga yonke elashwa amanxeba okushayiswa yimoto.

|||

S’MANGELE ZUMA

USEPHENDUKE umthwalo womakhelwane uMnuz Jabulani Shozi (39) waseShaka’s Kraal, KwaDukuza okhishwe esibhedlela iStanger ngoMgqibelo ngemuva kokuhlala inyanga yonke elashwa amanxeba okushayiswa yimoto.

UShozi okuthiwa akakwazi nokuhamba usephila ngokulala embhedeni uthi kumphatha kabi ukuthi usephenduke ingane eyenzelwa yonke into.

“Angikwazi ngisho ukunyakaza indlela umzimba wami oqaqamba ngayo. Abanginikanga ngisho amanabukeni okuthi ngiwasebenzise njengoba sengiwumuntu ozimoshelayo. Ngababuza ukuthi bangikhipha kanjani ngixineke kangaka, bathi sekushaye isikhathi sokuthi ngiphume. Angazi ngingaba yini ngaphandle komakhelwane bami njengoba nenkosikazi yami ibuye aphithanelwe yikhanda,” kusho uShozi.

Uthe angenza noma yini ukubuyela esibhedlela lapho ezothola khona usizo ukuze asheshe alulame.

“Kunzima ukwenzelwa yonke into. Sengiwumuntu ophishwayo okuyinto engishayisa ngamahloni. Nakhona esibhedlela banginikeza amaphilisi ezinhlungu kuphela. Nawo ngibona sengathi awangisizi ngoba ngiphathwa nayikhanda elingapheli. Nomuntu owangishayisa akazange ame, washaya wachitha. Ngicela ningisize ngithole usizo lwezempilo ukuze impilo yami ibuyele esimweni esingcono,” kusho uShozi.

Umakhelwane kaShozi, uNksz Nonhle Lothe (54) uthe akazi ukuthi esibhedlela babecabangani ngesikhathi bekhipha umuntu ogula kanje.

“Simfunza elele, akakwazi kwenza lutho. Ekhishwa esibhedlela wayephushwa nge-wheel chair eyasala khona. Lo muntu uyazonela akanawo ngisho amanabukeni. Asazi kumele simenzenjani. Siyasaba futhi ukuthi uzogcina efele la. Esibhedlela bathi sekumele agulele ngasekhaya ngesikhathi bemkhipha. Asazi ukuthi uma bemxosha esibhedlela balindele ukuthi alulamele kuphi,” kusho uNksz Lothe.

Uthe okubaxakayo wukuthi esibhedlela bamtshele ukuthi unesifo sofuba kodwa awekho amaphilisi abamnikeze wona ukulapha lesi sifo.

“Siyamsiza nje ngoba ngumakhelwane wethu weminyaka futhi siyazwelana naye. Sibuye sisabe kodwa ukuthi angagcina esesithelele ngeTB. Manje asazi sizombuyisela kanjani esibhedlela ngoba bamkhiphile esaxinekile wukugula,” kusho uNksz Lothe.

Imizamo yokuthola umnyango wezempilo ayiphumelelanga.

‘Angibambele muntu igqubu’

$
0
0

UNkk Zandile Gumede uthi akekho umuntu ambambele igqubu kodwa uzimisele ngokusebenzisana ngisho nalabo abaziyo ukuthi bebengamfuni.

|||

MLUNGISI GUMEDE

USIHLALO omusha we-ANC esifundeni iTheku, uNkk Zandile Gumede, uthi akekho umuntu ambambele igqubu kodwa uzimisele ngokusebenzisana ngisho nalabo abaziyo ukuthi bebengamfuni balungise isimo sombutho esicishe salimala ngenxa yokuklwebhana.

Engxoxweni ekhethekile neSolezwe eMoses Mabhida izolo, uNkk Gumede unxuse ubumbano kumalungu kaKhongolose wathi kumele ahlangane alaphe izilonda ezidaleke beklwebhana bebheke engqungqutheleni.

UNkk Gumede ukhethwe njengoSihlalo omusha we-ANC emuva kokuthola amavoti awu-283 kwelilodwa elitholwe yimbangi yakhe, uMnuz James Nxumalo.

“Iminyango ivuliwe kulabo abazimisele ngokulungisa isimo sombutho njengoba ucishe walimala ngenxa yokuklwebhana obekukhona sibheke engqungqutheleni,” usho kanje.

UNkk Gumede uthe uzimisele futhi ngokubambisana nembangi yakhe uNxumalo baqhubeke bathuthukise iTheku.

“Ziningi izinhlelo zentuthuko nokuhanjiswa kwezidingo kubantu ebezimile ngenxa yomdonsiswano obukhona phakathi kwami noNxumalo kodwa manje ngiyathemba njengoba ingqungquthela isidlulile. sesizokwazi ukuhlala phansi sisebenzisane kusizwe abantu,” usho kanje.

Uthe amaphaphu phansi ngoba akekho umuntu azomgudluza nasemkhandlwini ngisho nalabo abaziyo ukuthi bebengahambisani naye.

UNkk Gumede uthe ubengamsabi uNxumalo njenge mbangi ngoba ubazi ukuthi yena waphakanyiswa ngamagatsha kanti yena igama lakhe laphakanyiswa ngabantu abathile abacishe bawubulala umbutho.

“Uma uzokhumbula kahle ngiqale ngafakwa esibayeni noMnuz Bheki Cele kulesi sikhundla kodwa i-ANC ezingeni likazwelonke yathi akumele angenele isikhundla ezingeni lesifunda kwabe sekuphakanyiswa igama likaNxumalo,” usho kanje.

Uthe uyazi ukuthi bekunesandla sesithathu ebesigqugquzela labo abaseka uNxumalo ukuba baxove umbutho.

“Ziningi izinto laba bantu abazenzile ezikhombisayo ukuthi bebesetshenziswa ngabathile ngoba bayayazi imigudu nemigomo ye-ANC kodwa bathatha isinqumo sokuthi bazenzele okwabo, bahamba behlambalaza umbutho nasemphakathini njengoba sesihlalelwe wumsebenzi wokulungisa isithunzi sombutho, ikakhulukazi njengoba sibheke okhethweni lohulumeni basekhaya ngonyaka ozayo,” kusho uNkk Gumede.

Uthe bacishe bashaywa yisikhathi ekwenzeni amalungiselelo okhetho lwangonyaka ozayo ngenxa yombango obukhona.

“Bekungeke kube kuhle ukuthi kuyiwe okhethweni lohulumeni basekhaya ingabanga khona ingqungquthela yaseThekwini ngoba lesi yisifunda esikhulu se-ANC futhi esibalulekile,” usho kanje.

Uthe bazohlangana nawo wonke amagatsha abo khona maduze bagqugquzele ubumbano, bawanxuse ukuthi awaqale akhankase.

“ITheku liyakhula njengoba belinamagatsha awu-103, manje asezoba ngu-110,” kusho uNkk Gumede.

Naba abanye abakhethwe noNkk Gumede: iPhini lakhe, uMnuz Lekgoa “William” Mapena; uNobhala, uMnuz Bheki Ntuli; yiPhini lakhe, uMnuz Mondli Mthembu noMgcinimafa, uNkk Barbara Fontaine.

Bakhathele ukucwaswa abaqwayizi

$
0
0

Abadayisa ngomzimba eGauteng bakhiphele ukudinwa kwabo esiShayamthetho sesifundazwe.

|||

VUYO MKHIZE

ABADAYISA ngomzimba eGauteng bakhiphele ukudinwa kwabo esiShayamthetho sesifundazwe bekhala ngabakubize ngokuxhashazwa nodlame olubhekiswe kubo.

Laba baqwayizi bebezikhulumela bona mathupha noSomlomo uNkk Ntombi Mekgwee bekhala ngokuthi umsebenzi wabo uyacwaswa. Bathi uma umsebenzi wabo ungathathwa njengosemthethweni, kungaphela ukuxhashazwa kwabo, bangakwazi nokuthi bavule amacala uma behlukunyezwa bakwazi futhi nokuhlinzekwa uma kwenzeka beyeka emsebenzini wabo wokuqwayiza ohlelweni lwe-Unemployment Insurance Fund.

Obemele laba baqwayizi uPalesa Mokoena ukhulume kabanzi ngosizi lwabo obekwenza athole ukwenanelwa nangabanye ozakwabo abefike nabo eSishayamthetho abebethe shaye endaweni yezivakashi ngaphakathi.

“Sisebenzela izingane zethu ukuze zibe nekusasa elingcono. Sifuna bona baye ezikoleni thina esingakwazanga ukufinyelela kuzo,”usho kanje.

Omunye futhi umqwayizi ongafunanga ukusho igama lakhe uthe: “Singabantu baseNingizimu Afrika nathi. Siyavota futhi sikhokha nentela kodwa asikwazi ngisho ukuboleka imali emabhange ngoba asinazo izincwadi zokuhola”.

“Asikwazi ukuthenga imizi….kumele silinde imixhaso kahulumeni okuyinto okungenasiqiniseko sokuthi sizoyithola. Siyaphoqeleka ukuthi sisebenzise omashonisa ngoba nabo basebenza njengathi emakhoneni. NgoJuni nje kunomqwayizi owadlwengulwa wumashonisa ngoba engasakwazi ukukhokha u-R2 000 ayewukweleta owasewunyukile wafinyelela kuR10 000.

Embikweni okhuluma kabanzi ngokucwaswa kwabadayisa ngomzimba owamukelwe yilesi siShayamthetho, kuvelile ukuthi abadayisa ngomzimba bagadwa kuze kweqe ngamaphoyisa kodwa abavikelwa nakancane. Kulula ukuthi bazithole sebehlukunyezwa ngokushaywa nokunye.

“Amaphoyisa ahlale etshela abaqwayizi ukuthi abanamalungelo. Kukhona ngisho amaphoyisa adlwengula abaqwayizi, kube nzima kumqwayizi ukuthi ayovula icala ngoba bayesaba ngempilo yabo,” kubhalwe kanje kulo mbiko.

Kulo mbiko abaqwayizi bachaza kabanzi ukuthi bahlukunyezwa kanjani ngamaphoyisa, aze athathe namakhondomu abo athi awubufakazi bokuthi bangabaqwayizi. Ngisho besezitokisini bayanqatshelwa ukuthi bathole imishanguzo yegciwane lengculazi kulabo abayidlayo.

Kwenzeka lokhu nje ngoLwesine bekuwusuku olubizwa nge-Internationa Day to End Violence Against Sex Workers.

Ukwethulwa kwalo mbiko nokuyozikhulumela kwabaqwayizi bekuhlelwe ngabe Sex Workers Education and Advocacy Taskforce (Sweat) neSisonke National Sex Workers Movement in South Africa..

Ngokomthetho lolu suku lugujwa ngoDisemba 17 kodwa lezi zinhlangano zihlele ukuba nemicimbi nezinhlelo zokuzwakalisa ukungenami kwazi kuleli sonto. Lokhu bahlela ukukwenza kuzo zonke izifundazwe. Banomkhankaso abawubize nge-Asijike okuhloswe ngawo ukuthi kuzwakale izwi lomqwayizi eNingizimu Afrika.

I-Sweat ithe ngonyaka odlule kwaba wunyaka omnyama kubaqwayizi njengoba kwabulawa inqwaba yabaqwayizi. Omunye wabo kwaba wuDesiree Murugan isidumbu sakhe esatholakala simanxebanxeba eThekwini.

“NgoNovemba uwodwa, kubulawe abaqwayizi abawu-4 eNingizimu Afrika. Ukuhlukunyezwa kwabaqwayizi kusanda kubonakala kakhulu ePretoria lapho amaphoyisa ehlukumeze ozakwabo nomndeni womqwayizi obebulewe. Ashise kwaze kwaba kane imijondolo yalabo abebefuna ukunikeza ubufakazi ngokubulawa komqwayizi,” kusho abaqwayizi esitatimendeni.

Usihlalo owengamele amakomiti eSishayamthetho uNkk Nomantu Nkomo-Ralehoko uthe lo mbiko bazowudlulisela eminyangweni eyehlukene. Uthe abaqwayizi bayothola umbiko noma impendulo ngonyaka ozayo.

Uwazisile umndeni ngabebezombulala

$
0
0

Umndeni womlisa waseMkhomazi ongomunye wababulawe ehostela iGlebelands, eMlazi bese ulindele ukuthi angabulawa noma yinini.

|||

LUNGI LANGA

UMNDENI womlisa waseMkhomazi ongomunye wababulawe ehostela iGlebelands, eMlazi bese ulindele ukuthi angabulawa noma yinini.

UMnuz Frank ‘Danger’ Khuzwayo (48) obehlala ehostela iGlebelands ubesho emndenini wakhe ukuthi kukhona abathile abafuna ukumbulala. UKhuzwayo ubulawe ekuqaleni kwenyanga edlule. Lokhu kuvezwe ngumfowabo ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe ngoba esaba ngenxa yezigameko zokubulawa kwabantu kuleliya hostela.

Umfowabo kaKhuzwayo uthe umfowabo wayebabikele ukuthi kukhona abathile abafuna ukumbulala.

Ngokusho kwakhe umfowabo obeyilungu le-MK Veterans bese enendlu eWaterloo kodwa ubebuye abuye azohlala ehostela ngoba kukhona abantu abebemhlasela emzini wakhe.

“Ubengasho ukuthi yini lena abafuna ukumbulalela yona. Kodwa sithe uma sesifika ehostela sathola ngabanye ukuthi abantu bebefuna abe sohlwini lwabazokhethelwa ukuba yikhansela njengoba kuzoyiwa okhethweni ngonyaka ozayo. Asibazi thina ubuqiniso balokhu nokuthi ngabe yikho ngempela okuholele ekufeni kwakhe,” kusho umfowabo.

Uthe ngenxa yokuthi bebengahlali ehostela, kabazazanga kahle izinto ebezenzeka khona.

Ngokusho kukaKhuzwayo ubenengane eneminyaka engaphezu kuka-20.

“Ubengasebenzi, wayeyiphoyisa kudala wase ezinikela emsebenzini we-ANC. Ubulawa nje ubesanda kuphuma ejele njengoba ayeboshwe ngenxa yezinto ezithinta ipolitiki,” kusho umfowabo.

Ukhale ngokuthi yize umfowabo ebezinikele emsebenzini we-ANC, le nhlangano ayizange yenze abebekulindele ngesikhathi efihlwa.

“I-ANC sasilindele ukuthi ingenza kangcono ngesikhathi efihlwa ngoba ubezinikele kuyona. Kunalokho igcine isiza ngetende nezihlalo nje kuphela. Akuzange kuthunyelwe ngisho umuntu owayezoyimela emngcwabeni azokhuluma ngeqhaza elabanjwa ngumfowethu. Lokhu akusiphathanga kahle ngoba uDanger kukhulu akwenza esebenzela i-ANC. Ekhaya kukhona isikhathi lapho esahlukumezeka khona ngenxa yokuzinikela kwakhe kuyona,” kusho yena.

Uthe babengafune mali kodwa babefuna ukuthi leli qembu lizomhlonipha uKhuzwayo njengoba kwenziwa kwabanye ababambe iqhaza eqenjini.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mdumiseni Ntuli uthe uyakholwa wukuthi bakhona abathunywa ukuba bayomela i-ANC emngcwabeni kaKhuzwayo.

“Kungenzeka ukuthi kwakungebona abantu abaphezulu ebuholini nokungenzeka ukuthi yikho okwenza umndeni ubone sengathi akuzange kufike muntu. Akukhona ukuthi besingawuthatheli phezulu umngcwabo waleli qabane,” kusho uNtuli.

Uthe uyakholwa nawukuthi babekhona nababemele i-MK Veterans.

Kusetshenziswe uR4m ngemidlalo

$
0
0

Ezinsukwini ezine nje vo, uMasipala weTheku usebenzisa uR4 million ngokubamba iqhaza emidlalweni yamaSalga.

|||

MLUNGISI GUMEDE

EZINSUKWINI ezine nje vo, uMasipala weTheku usebenzisa uR4 million ngokubamba iqhaza emidlalweni yamaSouth African Local Government Games (Salga) ebisenkundleni yezemidlalo iKwaDukuza Recreational Grounds.

Imidlalo, eqale ngoLwesihlanu, iphela namhlanje.

Umholi wekhokhasi ye-DA emkhandlwini weTheku, uMnuz Zwakale Mncwango, udinwe wagana unwabu ngokuthi umasipala wabo usebenzise uR4 million ngokubamba iqhaza emidlalweni yama-Salga.

UMncwango uthe bekuwukusaphaza imali ukuthi kulaliswe amakhansela eProtea Hotel, eMhlanga, eyozibukela imidlalo.

“Asinankinga ngokuthi kutholelwe izindawo zokulala labo abebebambe iqhaza emidlalweni njengabagijimi nalabo abebeyodlala ibhola kodwa ukuthi namakhansela angenzi lutho alaliswe ehotela, lokho wukumosha imali yabakhokhi bentela,” kusho uMncwango.

UMncwango uthe kuseduze kabi ukusuka eThekwini uya KwaDukuza. besingekho isidingo sokuthi umkhandlu utholele amakhansela indawo yokulalala.

“Ngawaxwayisa amakhansela e-ANC ngesikhathi kunomhlangano wekomiti elilawula umkhandlu ngathi amakhansela akumele alaliswe ehotela kodwa ngangalalelwa, ngaze ngabatshela ukuthi mina ngizobe ngishayela imoto yami ngisuka eThekwini ngiya KwaDukuza ngezinsuku zemidlalo, angifune ndawo yokulala,” usho kanje.

UMncwango uthe uwadonse ngendlebe amakhansela eqembu lakhe wathi angalinge avume ukulaliswa ehotela ngesikhathi semidlalo.

Uthe ibuhlungu le nto eyenziwe amakhansela e-ANC edlala ngemali kodwa kube kusekhona inqwaba yabantu abangenawo amanzi nogesi.

UMncwango uthe uzamile ukubhalela uSomlomo, uMnuz Logie Naidoo, emnxusa ukuthi ahoxise indaba yokulaliswa kwamakhansela ehotela kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Uthe udaba uzolidlulisela kuNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube.

Ethintwa uNaidoo uthe labo ababamba iqhaza engqungqutheleni bayatholelwa indawo yokulala ehotela.

Uthe phakathi kwamalungu ekomiti lama-Salga Games kubalwa neMeya. wona kawakhokhelwa wumkhandlu imali yendawo yokuhlala kodwa akhokhelwa ama-Salga. Uthe bakhethe iProtea ngoba ishibhile kunamanye amahotela.

“Leli hotela esilisebenzisile lishibhile uma uliqhathanisa nelaseZimbali eliseduze kakhulu naKwaDukuza lona elibiza uR7000 umuntu emunye ngesikhathi samaholidi kakhisiminu kuno-R2 300 waseProtea, eMhlanga,” usho kanje.

UNaidoo uthe mathathu kuphela amakhansela omkhandlu abawatholele indawo yokuhlala.

Ubaziwa kakhulu ngokungahlehli kwakushilo

$
0
0

“Somlomo baba kwasiphinda lokho, sengiyalihola iqembu, ngiyalikhipha kuleli hlathi, elimnyama. Kwaze kwaqondana bo!”

|||

MHLENGI SHANGASE

‘SOMLOMO baba kwasiphinda lokho, sengiyalihola iqembu, ngiyalikhipha kuleli hlathi, elimnyama. Kwaze kwaqondana bo! Somlomo baba ngivikele, sesifike qathatha, sizoliphenya ibheshu endondeni. Ungakhweli phezu kwami, uzokuthola okufunayo. Waze wayisangoma bo! Wabhula into engekho, kusho ukuthi udla imbumba. Msakazi, tshela izwe ukuthi sengimxoshile uGabriel Ndabandaba.”

Lawa ngamanye amazwi ayohlale ekhumbuleka kaDkt Lionel Percival Hercules Mbeki Mtshali ayewasho esiShayamthetho saKwaZulu-Natal uma kunezinkulumo-mpikiswano noma esehola iqembu i-IFP elikhipha esiShayamthetho ngoba kukhona okungavunyelwani ngakho.

Izolo ntambama ngemuva kokuzwakala kwezindaba zokuthi uMtshali udlulile emhlabeni, angene engenile amazwi enduduzo abebhekiswe kwi-IFP, umndeni kanye nezihlobo zikaMtshali.

UNdunakulu wesifundazwe uMnuz Senzo Mchunu udlulise amazwi enduduzo emndenini kaMtshali, izihlobo kanye nakwi-IFP.

Okhulumela uNdunankulu, uMnuz Sibusiso Magwaza, uthe uMtshali ubeyingqalabutho kwezepolitiki njengoba amagalelo akhe aziwa.

Uthe isizwe sonkana silahlekelwe ngokudlula kukaMtshali owayengu-Ndunankulu wesifundazwe, wathi uyibekile induku ebandla.

“Kuyaye kuthiwe izibongo ziyasala uma kushone umuntu kanjalo nemisebenzi yakhe uMtshali iyosala ngoba uyibekile induku ebandla. Alwehlanga lungehli, uNdunankulu udlulisa amazwi enduduzo emndenini kaMtshali.”

USolwazi Nhlanhla Khubisa, onguNobhala jikelele we-NFP, uthe egameni lomholi waleli qembu uNkk Zanele Magwaza-Msibi badlulisa amazwi enduduzo emndenini kaMtshali obaziwa ngemisebenzi yakhe emihle kwezepolitiki.

Uthe ubengumuntu obenamava kwezemfundo futhi enamagalelo ebuholini njengoba ake waba nguNgqongqoshe wezeSayensi ngaphansi kukahulumeni kaMnuz Nelson Mandela.

“Ngisebenze kakhulu noMagalela. Uyibekile induku ebandla. Ubengumuntu obefundile eyikizela iziqu. Ubelithanda iqembu lakhe. Silahlekelwe ngokudlula emhlabeni kwakhe. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe kanye nakwi-IFP,” usho kanje.

Okhulumela i-ANC esifundazweni, uMnuz Mdumiseni Ntuli, ushaqekile ezwa ngezindaba zokudlula emhlabeni kukaMtshali wazwakalisa amazwi enduduzo kwi-IFP, emndenini kaMtshali kanye nakozakwabo esiShayamthetho.

“UMtshali ubeqavile kwezombusazwe. Amagalelo akhe ayabonakala. Ubenegalelo elikhulu kanti siyadabuka ngokudlula kwakhe emhlabeni.”

UNksz Mbali Ntuli oyilungu le-DA esiShayamthetho, naye ubhonge emswanini waduduza umndeni kaMtshali.

Uthe ubengumholi obebafundisa nabo beyintsha enesineke, wathi badabukile beyi-DA ngokudlula kwakhe emhlabeni.

USomlomo wesiShayamthetho uNkk Lydia Johnson uthe uthukile ezwa izindaba zokushona kukaMtshali izolo.

“Njengoba ayenguNdunankulu ephinde abe nguNgqongqoshe, ungomunye wabantu asebebe ngamalungu esiShayamthetho sesifundazwe. Ubasebenzele abantu besifundazwe ngokuzikhandla nangokuzinikela. Ubezimisele emsebenzini wakhe.”


Uqiniswe idolo kufihlwa amalungu omndeni

$
0
0

Unxuswe ukuthi abambelele okholweni usomabhizinisi odume kuKhozi FM.

|||

ZANELE MTHETHWA

UNXUSWE ukuthi abambelele okholweni usomabhizinisi odume kuKhozi FM, izolo obekungcwatshwa amalungu omndeni wakhe amane ashona engozini asinda kuyo ngenyanga edlule.

UNkk Thobeka Mdakane weGumbi Consulting onengosi yezamabhizinisi ngoLwesibili ohlelweni iVuka Mzansi Breakfast Show, uphume esibhedlela ngesonto eledlule emuva kwengozi eyamphuca izithandwa zakhe ngoNovemba 29.

Abebethamele umngcwabo iningi labo okungabazalwane beSeventh Day Adventist Church abebegcwalise ubhazabhaza wetende e-Absa Stadium, eThekwini bancome amagalelo omyeni wakhe uMnuz Mpilo Mdakane (41). Kule ngozi eyenzeka emgwaqweni uN3 ngaseNtshongweni kwashona noNkk Violet Mafuduku (85) onguninakhulu kaThobeka nezingane zakhe uTholakele (5) noNgakangane (2).

UNkk Mdakane ubebonakala eqinile izolo ngesikhathi izikhulumi zimduduza, yize esele nezibazi ebusweni ezidalwe ukulimala. Kuvele ukuthi umyeni wakhe ubegqamile futhi ezinikela kukho konke akwenzayo.

Ebandleni lakhe ubengumholi wekhwaya iKZN Male Choral enandise ngomculo. Nasemphakathini abehlala kuwo kuthiwa ebaziwa amagalelo akhe.

UMnuz Thulasizwe Ngcobo ophethe izinduna esizweni samaQadi lapho bekwakhe khona uMdakane, uthe ubeyiqhawe. Uthe wafika kwezwakala oGunjini, eNdwedwe eminyakeni emithathu eyedlule.

“Kulele iqhawe la, uMdakane ubehlukile kwamanye amadoda. Kuthe uma sibona indlela abeyiyona endaweni samfaka esigungwini somphakathi esibizwa ngoBumbano. Njengoba umuzi wakhe useduze nesibhedlela Osindisweni, waqhamuka nombono wokuthi abadala abaya khona, ekuseni badlule baphuze itiye nezinkwa nangempela kwenzeka,” usho kanje.

Umchaze njengendoda ebinomusa futhi iphana njengoba ethi uma udinga usizo lwemoto ubengabuzi nokuthi izobuya nini kodwa akunikeze ukhiye.

Uveze nokuthi ngenyanga edlule kugcotshwa ngokusemthethweni iNkosi yamaQadi uMqoqi Ngcobo, uMdakane wanikela ngezinkomo eziyisihlanu.

Obekhulumela umndeni uMnuz Mpume Mdakane, uqinise idolo uThobeka ukuthi basazomthanda bameseke yize engasekho umyeni wakhe.

Ubonge noNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu athe ubeyingxenye yamalungiselelo omngcwabo.

Omunye owasinda kule ngozi nguCebisile elingatholakalanga igama lakhe okuthiwa ubengumzanyana kwaMdakane.

Ubethuliswa owesifazane obulawe eGlebelands

$
0
0

Kusolwa ukuthi ubebazi ababulali bomunye osanda kusocongwa ehostela iGlebelands.

|||

LUNGI LANGA

KUSOLWA ukuthi ubebazi ababulali bomunye osanda kusocongwa ehostela iGlebelands, eMlazi, owesifazane ongowokugcina ukubulawa kuleliya hostela.

Ngokuthola kweSolezwe kunezinsolo eziqinile ezithi lona wesifazane okuthiwa unguMakhosi ubulawe ngoba enolwazi ngabalisa ababulale uMnuz Mlinyelwa Gobidolo (69) obedume ngelika-Majola obulawe ngasekuqaleni kwenyanga. Kuthiwa ubehlobene naye futhi enendawo yokucwala izinwele eReunion, endaweni efanayo nalapho uGobidolo abulawe ekhona

Kukholakala ukuthi ubesendleleni eya lapho ebehlala khona eMega Village eduze kwaseMega City ngesikhathi ebulawa abalisa okuthiwa bebemlandela ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker ukuqinisekisile ukuthi baphenya ngokubulawa komuntu otholwe enamanxeba amathathu okudutshulwa. Uthe isizathu sokubulawa kwakhe besingakaziwa futhi bekungakaboshwa muntu.

Umthombo ohlala ngaphakathi ehostela uthe lona wesifazane ubehlobene noGobidolo futhi ubethola izinsongo emuva kokuveza kwakhe ukuthi uyabazi ababulali bakhe.

“Ngesikhathi kubulewe uMajola kuthiwa wakhala kakhulu waze wazibhuquza phansi washo nokuthi uyabazi labo abambulele. Kusho ukuthi kukhona abamuzwa ngesikhathi esho lokhu bakudlulisela kwabathile ngoba ubese esatshiswa,” kusho lo mthombo.

Ngokusho komunye umhlali wakuleliya hostela naye ocele ukuba igama lakhe ligodlwe, uMakhosi ubehlala ehostela phambilini kodwa kuthe uma kuhamba isoka lakhe ayehlala nalo naye wahamba.

Uthe yize engenaso isiqiniseko sokuthi kwakuyinini ehamba, isikhathi sesiside kwenzeka.

Lo mhlali uthe uzwe kuthiwa lona wesifazane wakhala kakhulu kodwa akanaso isiqinisekiso sokuthi kukhona akuveza ukuthi uyakwazi. Uthe kunezinsolo ezithi labo abambulele bebesola ukuthi kukhona akwaziyo ngokubulawa kukaGobidolo.

“Sengathi bamlandele bambulala ngoba bezitshela ukuthi wababona. Angazi noma bakwnze lokhu ngoba kukhona akushilo yini,” kusho lo mhlali.

Isigameko sokubulawa kwakhe silandelwe ngesokutholakala kwesidumbu sowesilisa ngaphandle kwehostela ngoMgqibelo ekuseni.

Namanje akukacaci ukuthi lona wesilisa ubengubani. UNaicker uthe amaphoyisa asaphenya nangalesi sigameko futhi nakusona bekungakaboshwa muntu.

NgoMgqibelo, ingxenye ethile yabahlali bakuleli hostela ibe nemashi ithi ifuna kube nokuthula.

Balinganiselwa ku-54 abantu asebebulawe ehostela eGlebelands kusukela ngonyaka odlule.

Bangqongqe baphela kusha imoto engozini

$
0
0

Kungakapheli nsuku zingaki uMnuz Willies Mchunu ethule izinhlelo zokubhekana namaholidi kaKhisimusi emgwaqweni, kushone abayisihlanu engozini eyodwa oPhongolo.

|||

ZANELE MTHETHWA

KUNGAKAPHELI nsuku zingaki uNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, ethule izinhlelo zokubhekana namaholidi kaKhisimusi emgwaqweni, kushone abayisihlanu engozini eyodwa oPhongolo ngeSonto.

Ngokusho kwabe Road Traffic Inspectorate (RTI), kuthiwa imoto eyiBMW ishayisane nemoto edonsa ezilimale emgwaqweni, kuN2 ngaseMlogo, oPhongolo. Abayisihlanu okungakatholakali eminye imininingwane ngabo, kuthiwa bebekwiBMW bashonele khona lapho ngesikhathi ishayisa maqede yagqamuka amalangabi. Ababili abebekwenye imoto balimale kancane badluliselwa esibhedlela.

UMchunu uthe akukho okunganciphisa izingozi zomgwaqo ngamaholidi kaKhisimusi ngaphandle kokuthi umnyango wakhe nabashayeli babambisane ekuqinisekiseni ukuthi iyalandelwa imithetho. Unxuse abantu ukuthi baqaphele kakhulu njengoba sekuyisikhathi samaholidi kaKhisimusi ajwayele ukuhamba nezingozi zomgwaqo. UMchunu uveze ukuthi basola ubudedengu emgwaqweni engozini yasoPhongolo.

“Siyasola ukuthi omunye wabashayeli ezimotweni ezibe kule ngozi wephule umthetho womgwaqo. Amaphoyisa asaphenya izinsolo zokushayela ngesivinini, ezokushayela kuphuziwe nokunye ukwephula umthetho,” kusho ungqongqoshe.

Ngesonto eledlule uMchunu wethule eMooi River Toll Plaza uhlelo lwezokuqinisa ezokuphepha, waveza ukuthi ngeke bahleke kwabaphambana nomthetho. Uthe bangaphezu kuka-26 000 abasebenzi bezomgwaqo abazofakwa ezindaweni ezehlukene esifundazweni.

Izolo uMchunu uveze ukuthi ngaphandle kwale ngozi eyenzekile, bayawubona umehluko emgwaqweni emuva kokwethula uhlelo lwezokuphepha.

Khonamanjalo kuthiwa kuboshwe umshayeli wetekisi ebilayishe abagibeli abawu-38 eThekwini, esikhundleni sabangu-16. uboshwe ngesonto eledlule ngamaphoyisa atshalwe ukubheka izephulamthetho.

“Ukunqatshelwa kwakhe ibheyili kukhombisa ukuthi umthetho awunaluzwelo kwabawuphulayo,” kusho uMchunu.

Kuvele nokuthi eMhlathuze ngempelasonto kuboshwe abashayeli abawu-24 ababanjwe beshayela bephuzile.

Kulindeleke ukuthi umnyango uqale imikhankaso yokubeka izivimbamgwaqo emizileni eyiziphithiphithi ngezikhathi zamaholidi njengoba kulindeleke wenyuke nomthamo wezimoto zabavakasha esifundazweni.

Ngesonto eledlule abe-RTI babike ukuthi kushone abawu-15 ezingozini ezehlukene esifundazweni nase-Eastern Cape. Kubona kubalwa namaphoyisa amane abesebenza eKokstad avelelwe yingozi esemsebenzini.

Obegula uthuse abalandeli ngesithombe

$
0
0

Kuthuke abalandeli bakaNgqongqoshe wezoBuciko, Amasiko, ezeMidlalo nezokuNgcebeleka KwaZulu-Natal ngesithombe asifake enkundleni yokuxhumana.

|||

ZANELE MTHETHWA

KUTHUKE abalandeli bakaNgqongqoshe wezoBuciko, Amasiko, ezeMidlalo nezokuNgcebeleka KwaZulu-Natal ngesithombe asifake enkundleni yokuxhumana esesibhedlela ngeSonto.

UNkk Ntombikayise Sibhidla-Saphetha ufake isithombe ku-Instagram elele embhedeni esibhedlela kukhona nemishini odongeni ngemuva. Ubonakala exhunywe nesimfonyo esisiza ogulayo uma enenkinga yokuphefumula. Ubesagqoke izimpahla zakhe kulo mbhede eshuqule iduku elifana nengubo. Esithombeni ubonakala elele ngomhlane evule amehlo kancane.

Ngenhla kwesithombe ubhale ngesiNgisi umbhalo othi “PE Never liked me,” ohumusheka ngokuthi “i-PE (Port Elizabeth) ayikaze ingithande.”

Kuthintwa uMnuz Lethukuthula Mtshali okhulumela umnyango kangqongqoshe ucele kuthintwe uMnuz Mluleki Mntungwa okhulumela uNkk Sibhidla-Saphetha.

UMntungwa uthe ungqongqoshe ubebanjwe wumkhuhlane ongatheni okwenze agcine efakwa isimfonyo sokuphefumula. Unqabile ukwenaba ebuzwa eminye imininingwane wangafuna nokusho ukuthi ubesesibhedlela sasePort Elizabeth yini njengokusho kombhalo ohambisana nesithombe.

“Bengiphendula ongibuze kona ngesithombe, esengishilo ukuthi bekungeyona into etheni. Uhlale isikhashana esibhedlela wabuye waphuma ngoba bekuwumkhuhlane kuphela. Ngeke ngiphawule ngokunye,” usho kanje.

UMntungwa wenqabile nokusho ukuthi ungqongqoshe ubesekhaya yini noma ubesemsebenzini ngesikhathi exinwa wumkhuhlane.

Emuva kokufakwa kwesithombe imiyalezo ingene ilandelana abalandeli bakhe bemfisela ukwelulama, abanye bezwakalisa ukwethuka kukhona nabebebuza ukuthi udliwa yini.

“Ingabe konke kuhamba kahle kodwa ngqongqoshe? Siyethusa lesi sithombe,” kusho u-AmenXumalo.

UMalusi Zuma uthe: “Usheshe welulame ngqongqoshe.”

UBingelela Mpanza uthe: “Sicela usheshe welulame, siyakudinga.”

“Yintoni ngoku? Uxolo wethu uphile,” kusho uCwengat.

Kwabazwakalise ukwethuka kukhona nozakwabo uMnuz Thembinkosi Ngcobo oyiNhloko yezamaPaki, Ezokungcebeleka nezobuCiko kuMasipala weTheku.

“Hai bo, usheshe ube ngcono,” kusho uNgcobo.

Imiyalezo ibisangena nayizolo kodwa kushaye isikhathi sokushicilela uNkk Sibhidla-Saphetha engakaphenduli ngesithombe.

Uminze ezama ukubamba uphaqa

$
0
0

Utakulwe eseshonile uMnuz Vuyisile Mfene ogijime wangena emfuleni uMlazi ethi uzama ukukhipha uphaqa womngani wakhe obuwele phakathi.

|||

S’MANGELE ZUMA

UTAKULWE eseshonile uMnuz Vuyisile Mfene (38) wakwa-E eMlazi ogijime wangena emfuleni uMlazi ethi uzama ukukhipha uphaqa womngani wakhe obuwele phakathi ngesikhathi bewela ebhulohweni lezinyawo ngeSonto ntambama.

Isenzo sakhe sishiye umphakathi nomndeni wakhe beshaqekile ukuthi ubengaze adele impilo yakhe ngenxa kaphaqa.

Uyise kaMfene, uMnuz Langalakhe Khweni (57), uthe indodana yakhe nomngani wayo bebewela ebhulohweni elivulekile emaceleni elihlukanisa uMlazi neChatsworth.

“Kuthiwa bebewela ngokucophelela ngenxa yokuthi belina kodwa umngani wakhe washibilika kwaphuma uphaqa wakhe owodwa sebezofika ngaphesheya.

“Kuthiwa uVuyisile utshele umngani wakhe ukuthi akakhululeke uzomlandela uphaqa wakhe. Umngani uzamile ukumvimba kwasho ukuthi akezwa mshini. Kuthiwa uthe eqeda ukuwela ebhulohweni wakhumula izimpahla zakhe wagijima engena emanzini kanti akazi ukuthi usebizwa wukufa. Yilapho eminze khona emfuleni wangabe esabonakala,” kusho uKhweni.

Uthe namaphoyisa asemanzini kuwathathe amahora abalelwa kwamahlanu ukuthola isidumbu sakhe.

“Ngifike ngesikhathi sebekhipha isidumbu sakhe emanzini.

“Ngivele ngafikelwa wukucasuka ukuthi lo mfana ubengenwe yini ngempela. Ubesengangena emfuleni agijimise uphaqa. Kanti bekunguphaqa obutheni wona lo? Namanje ngivele ngifikelwe ukucasuka uma ngicabanga isenzo sakhe. Usengifake ezindlekweni ezinkulu ngoba kuzomele isidumbu sakhe ngisiyise ekhaya eMount Ayliff,” kuqhuba uKhweni.

Imizamo yokuthola umngani kaMfene ayiphumelelanga ngenxa yokuthi uyise kamufi ethe akazithathanga izinombolo zakhe zocingo.

“Bengisadidekile ngangayithatha inombolo yakhe yocingo. Engikubonile ngaye wukuthi ubekhala kakhulu ngoba le nto ubengayilindele naye.

“Yena uthe bebezihambela kumnandi nomngani wakhe kanti useyamgcina. Ngiyasola ukuthi bebephuzile labantu njengoba bengabantu abaziphuzelayo,” kusho uKhweni.

Ilungu lomphakathi uMnuz Sipho Shabalala (48) uthe kwabhuloho abebewela kulo liyingozi ngoba alivaliwe emaceleni kodwa abantu basaqhubeka nokulisebenzisa.

“Ube nenhlanhla yokuthi angawi ebhulohweni ngoba kwalona linezidumbu zalo kepha alifakelwa izinsimbi.

“Uma besho kuthiwa akusilo ibhuloho kepha yindawo eyakhiwe ukuhambisa amanzi ukuthi nje yakhiwe yaqonda, kuyahambeka kuyona,” kusho uShabalala.

Okhulumela abosizo oluphuthumayo i-IPSS Medical Rescue, uSamantha Meyrick, uthe isidumbu sowesilisa ona-38 sitholakale emfuleni uMlazi.

“Kudingeke ukuthi amaphoyisa asebenzise izinja zaseMhlali K9 Search and Rescue ukuthola ukuthi isidumbu singakuphi ngaphambi kokuthi asikhiphele ngaphandle,” kusho uSamantha.

UMajor Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uthe amaphoyisa aseMlazi aphenya icala lokufa komuntu ngemuva kokuthi owesilisa eminzile.

Idla lubi eyokuqolwa kwezimali emabhange

$
0
0

Bathwele kanzima abantu baseNingizimu Afrika njengoba bekhala ngapha nangapha ngenxa yokungenisa kwesihlava sokuqolwa imali emabhange.

|||

BONISWA MOHALE

BATHWELE kanzima abantu baseNingizimu Afrika njengoba bekhala ngapha nangapha ngenxa yokungenisa kwesihlava sokuqolwa imali emabhange.

Emasontweni edlule Isolezwe libike ngomkhonyovu omusha wokuthathwa kwama-simcard amaselula bese esetshenziswa ukukhipha imali ebhange.

Ukwebiwa kwemininingwane yabantu ngumkhuba odlangile, ikakhulukazi ngesikhathi samaholidi kaDisemba.

UNksz Gugu Sikhakhane waKwaDabeka A, eThekwini, ungomunye wezisulu zalo mkhonyovu. Yena uthi uqolwe u-R10 000 kwi-akhawunti yakhe yakwaCapitec Bank.

UNksz Sikhakhane utshele Isolezwe ukuthi ngeledlule uthole ukuthi imali yakhe ilokhu ikhishwa, yize yena esuke ezihlalele ekhaya.

“Ngixakekile ukuthi kwenzeka kanjani lokhu ngoba isikali sami sokukhipha imali singu-R1 500 kepha abantu bebekhipha u-R4 800 nenye imali enkulu engingavunyelwe mina ukuyikhipha ngosuku. Ngiyile ebhange ngibatshela ngokwenzekile bathi akukho abazongisiza ngakho imali yami ihambile ngeke bayikhokhe. Ngisebenze kanzima ngonga imali ukuze ngizokwazi ukukhokhela ingane yami esikoleni ngonyaka ozayo, manje angazi ngizoyikhokhela ngani,” kusho uNksz Sikhakhane.

Uthe ngesikhathi ethinta inkampani yamaselula asebenzisa ucingo lwayo utshelwe ukuthi kukhona umuntu oshaye ucingo wacela ukuthi bamenzele uhlelo lokubhanga ngeselula i-cellphone banking.

“Kungithusile ukuthi loyo muntu ofuna ukubhanga ngeselula uyithathephi imininingwane yami, futhi bamvumele kanjani ebhange ukuthi akhiphe imali eningi mina ngiwumnikazi we-akhawunti ngingavunyelwe ukuyikhipha. Okungixakayo wukuthi kungani bengangithintanga ebhange uma bebona okungajwayelekile kwi-akhawunti yami. Nginovalo njengoba kunguDisemba ngoba umholo wami ungena kuleli bhange, yilona ebengilisebenzisa alikho elinye,” kusho uNksz Sikhakhane ngokukhathazeka.

Akuyena yedwa uNksz Sikhakhane osethinte leli phephandaba ekhala ngokuqolwa ebhange. Uthe bamtshele ukuthi makathinte ihhovisi lomxazululi wezinkinga eziphakathi kwamabhange namakhasimende awo iBanking Ombudsman of South Africa.

“Bangitshela ukuthi ngithinte ihhovisi likaBanking Ombudsman kodwa ngesikhathi ngivula i-akhawunti ngilondoloza imali yami abazange bangitshele ngaye. Okubuhlungu wukuthi naye loyo Banking Ombudsman akatholakali kalula, ubamba ucingo isikhathi eside lungaphendulwa kumele ube nemali eningi. Ngiyafisa ukuthi bangitshele ebhange ukuthi imali yami iphephe uma ibekwe kuphi ngoba yebiwe bebhekile,” kusho uNksz Sikhakhane.

AbakwaCapitec bathe bacela ukunikezwa izinsuku ezintathu ngaphambi kokuthi baphendule. Isolezwe lithumele i-e-mail ngeledlule (Disemba 10 )kodwa kuze kwashicilelwa izolo ingakatholakali impendulo.

UMajor Thulani Zwane wamaphoyisa KwaZulu-Natal uthe amaphoyisa aKwaDabeka aphenya icala lokukhwabanisa kanti akukho muntu osaboshiwe.

Unxuse abantu ukuba bazinakekele uma bekhipha imali emabhange, baqinisekise ukuthi uma bethenga ngamakhadi ezitolo imishini yokufaka ikhadi akubalekwa nayo.

Uphinde wanxusa abadlala izitokofela zemali ukuba bangalokothi baphume nemali engukheshi emabhange ngenhloso yokuyoyehlukanisa emzini welungu elithile, kodwa bacele abasebhange ukuba bayifake kuma-akhawunti abo.

EyeMabhida ne-ICC izocacisa okuningi eThekwini

$
0
0

Umdonsiswano ngesinqumo sikamasipala weTheku sokuhlanganisa ukuphathwa kweMoses Mabhida Stadium nokwe-ICC, kulindeleke ukuthi ugqamise ukuthi ubani ngempela ophethe eTheku.

|||

SIHLE MANDA

U mdonsiswano ngesinqumo sikamasipala weTheku sokuhlanganisa ukuphathwa kweMoses Mabhida Stadium nokwe-ICC, kulindeleke ukuthi ugqamise ukuthi ubani ngempela ophethe eTheku.

Lokhu kungenxa yokuthi usihlalo omusha we-ANC eThekwini, uNkk Zandile Gumede, nahambisana nabo, kabahambisani naso bathi bafuna siguqulwe.

UNkk Gumede uyiNhloko yekomiti lezindaba zomphakathi nezimo eziphuthumayo ngaphansi kwalo okungena iziphathimandla zaseMoses Mabhida.

Ukuhlanganiswa kwabaphathi balezi zindawo zombili bekulokhu kungeminye yemixhantela ebihlukanisa i-ANC eThekwini.

USihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala noNobhala, uMnuz Super Zumar, nabo bese bengene bagamanxa kulo mdonsiswano besolwa ngamakhansela e-ANC ngokuzama ukulawula ukuthi lesi sinqumo singathathwa emhlanganweni wekomiti elilawula umkhandlu ngenyanga edlule.

UZuma uzichithile lezi zinsolo.

“Inkinga enginayo ukuthi ufuna ngiphawule ngamahlebezi, angikwazi ukwenza lokho. Uma kuwudaba kwaseThekwini sizobheka umbiko ngalo bese silandela indlela okwenziwa ngayo izinto. Okwamanje kuphela lapho. Ngeke ngakhuluma ngamahemuhemu,” usho kanje.

Kodwa amakhansela e-ANC, acela ukuba angadalulwa, athe uZikalala noZuma bacela ukuthi udaba lungakhulunywa kodwa luhlehliselwe unyaka ozayo.

Elinye lamakhansela lathi: “UNkk UZandile Gumede akayizwa kahle indaba yokuhlanganisa lezi zindawo. umhlangano wekomiti elihola umkhandlu wathatha isinqumo sokuthi i-exco kumele iqede mayelana nale ndaba bese ithatha isinqumo. Kwabe sekufika umqhafazo ovela ebuholini besifundazwe ulawula ukuthi kwenziwe njani.”

Elinye ikhansela nalo elicele ukuthi lingadalulwa ngoba lisaba ukuhlukunyezwa lisho okufanayo. La makhansela athi uNkk Gumede ubona ukuhlanganiswa kweziphathimandla zalezi zindawo kuzomnqinda amandla.

Njengoba iMabhida ne-ICC isihlanganisiwe, sekungena ngaphansi kwePhini leMeya uNkk Nomvuzo Shabalala ophethe ikomiti lezokuThuthukiswa komnotho.

UNkk Gumede unqabile ukuphawula ngesikhathi ebuzwa ngalolu daba.

Ngo-2013, iphephandaba elisesibayeni esisodwa neSolezwe, i-The Mercury, labika ukuthi umkhandlu weTheku wathatha iziphathimandla zeMoses Mabhida nokusebenza kwayo wakufaka ngaphansi kwawo ngesikhathi isaphenya ukuthi ungayihlanganisa kanjani ne-ICC.

Amakhansela e-ANC ngenyanga edlule akhwele adilika kuNkk Gumede emsola ngokuzama ukumisa uhlelo lokuhlanganisa lezi zindawo.

IMoses Mabhida ibilokhu ingaphansi kwenkampani i-BKS-MMS kusukela yakhiwa ngo-2009 njengenye yezinkundla okwakuzodlalelwa kuyo imidlalo yendebe yomhlaba ka-2010.

Eminyekeni emibili edlule, imenenja kamasipala, uMnuz Sibusiso Sithole, wavuma ukuthi inkontileka yale nkampani isiphelile.


Ihlaya ngendaba kaZuma noVan Rooyen

$
0
0

Ngesikhathi kumenyezelwa ngokushintshwa kukaNgqongqoshe wezeziMali kuleli kusaphele izinsuku ezine eqokiwe, abanye bathole ithuba lokwenza amahlaya ngakho.

|||

ZANELE MTHETHWA

NGESIKHATHI kumenyezelwa ngeSonto ebusuku ngokushintshwa kukaNgqongqoshe wezeziMali kuleli kusaphele izinsuku ezine eqokiwe, abanye bathole ithuba lokwenza amahlaya ngakho.

Zimangazile izindaba zokuthi uMnuz David van Rooyen, okumenyezelwe ukuqokwa kwakhe ngoLwesithathu, usekhishiwe esikhundleni kwafakwa uMnuz Pravin Gordhan okhuza ibuya kulo mnyango.

Ngeledlule abaningi bebegxeka uMengameli Jacob Zuma ngesinqumo sokufaka uVan Rooyen abebengamethembi.

NgeSonto ebusuku abantu bese beqalile ukuqhulula amahlaya, ikakhulukazi bewaqhulula ngezithombe ngalolu daba.

Isithombe ebesisematheni ngesikamengameli ngesikhathi enoVan Rooyen esathathwa ngeledlule bexhawulana ngemuva kokufungiswa kwakhe.

Lesi sithombe ezinkundleni zokuxhumana okubalwa uTwitter, Facebook no-Instagram bese siphelezelwa ngamazwi ayihlaya.

“Lalela Ntwana Bengidlala,” ngomunye umbhalo obubhadekwe kusona kuncokolwa kuthiwa uZuma washo kanje kuVan Rooyen.

Abanye basebenzise sona lesi sithombe kodwa babhala umbhalo ohlukile othi “It was only for the Weekend,” nomunye umbhalo othi “Weekend Special” kuthiwa uZuma ‘wayechazela’ uVan Rooyen ukuthi ubengeve esemenza ungqongqoshe wezeziMali unomphela kepha ubemzwisa nje impelasonto eyodwa.

Esinye isithombe ebesinedumela ngesikamengameli ehleka kuvele elomhlathi kwabhalwa amazwi athi “Bengidlala,” amanye ethi “Bengicabanga ukuthi uVan Rooyen umlungu.”

Kukhona nesikaMnuz Trevor Manuel owaba nguNgqongqoshe wezeziMali iminyaka engu-13 kuleli.

Naye ufakelwe amazwi athi “So I’ll expect a Call say around Thursday?” okungahunyushwa ngokuthi naye angase alindele ucingo ngoLwesine kanje ucingo oluzobe lumbuyisela kulesi sikhundla.

Izithombe lize lashona elayizolo zilekanyana ezinkundleni zokuxhu-mana abanye bethumelelana zona nakuWhatsApp. Abantu bebekhombisa ukuzijabulela bethi kumnandi kuleli ngoba alikho elishona lingenandaba ezishaqisayo. Bebencoma nabaqhamuke nesu abalibize ngobuchule bokuhlanganisa lezi zithombe.

Ngaphandle kokusebenzisa izithombe ukuqhubeka nehlaya kulolu daba, abanye bebezwakalisa ilaka labo bephawula sakubhuqa. Abanye bagadle nakuyena uVan Rooyen bethi amadlozi adinwe wukuthi akazange ahlabe ngesikhathi eqokwa kulesi sikhundla.

Babodwa abebethi sekuzoba nzima ukulala ebusuku ngoba abazi bazovuka naziphi ngakusasa njengoba umengameli esevame ukumemezela izinto ezibalulekile sekusebusuku.

Ihlaya liqhubekile langenelela nakongqongqoshe abakwikhabhinethi kamengameli njengoba bese kuchume umbhalo othi “zi-right iiMinister?”

Yize abanye beluthathe njengehlaya lonke lolu daba, kukhona abebekujabulela ukubuyiselwa kukaGordhan abathe kufakazelwe nawukusimama kweRandi ezimakethe.

UVan Rooyen usezoba nguNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana okuyisikhundla ebesiphethwe nguGordhan.

UTrevor Noah uncome isenzo sikaZuma

$
0
0

UTrevor Noah uphambane nehele wahluka kulabo abebegxeka uMengameli Jacob Zuma ngokushintshashintsha kwakhe ikhabhinethi.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

USOMAHLAYA wakuleli ozinze eMelika, uTrevor Noah, uphambane nehele wahluka kulabo abebegxeka uMengameli Jacob Zuma ngokushintshashintsha kwakhe ikhabhinethi wathi ungcono ngoba unqume ukulalela izikhalo zabantu abebephikisa ukuqokwa kukaMnuz David van Rooyen ukuba abe nguNgqongqoshe weziMali.

UNoah ubhale kuTwitter wathi uyamncamela uZuma ngoba ungumholi ongahlali nephutha asuke elenzile kodwa uyakwazi ukulilungisa.

“Ngincamela ukuba noMengameli oguqula umqondo kungazelele muntu kunoMengameli ovele athule nesinqumo esiphambene,” kusho uNoah.

Ngemuva kwamahora uNoah ebhale kanje kube nokugxekwa abanye bevumelana naye kanti kuthe emuva kwamahora amaningana kwabonakala umfelandawonye wezinyunyana iCosatu nawo usubhala kule nkundla uthi uyabonga ukuthi uZuma ukuzwile ukukhala kwabantu.

“Siyabonga kuMengameli ukuthi ukuzwile ukukhala kwabantu baseNingizimu Afrika. Ukhombisile ukuthi unguMengameli olalelayo,” kusho iCosatu.

I-ANC isishayele ihlombe nayo isinqumo sikaZuma sokukhipha esikhundleni uVan Rooyen kwaqokwa uMnuz Pravin Gordhan osenguNgqongqoshe wezeziMali kanti uVan Rooyen ufakwe eMnyangweni wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu.

“I-ANC iyasemukela isinqumo sikaMengameli sokubuyisa uGordhan esikhundleni sokuba wuNgqongqoshe weziMali abesiphethe phambilini kanti ungena esikhundleni ebesiphethwe uDavid van Rooyen. Siyakujabulela ukubona umphakathi indlela owenze ngayo ubeka imibono yawo ngoba njenge-ANC siyayemukela imibono yomphakathi ezimeni ezifana nalezi. Ukuphatheka kwabantu ngezinguquko ezenziwe umengameli kukhabhinethi yakhe kukhombise ngokusobala ukuthi bebemethemba kangakanani ungqongqoshe waphambilini obefakwe wuZuma,” kusho uKodwa.

IBanking Association of South Africa isishayele ihlombe isinqumo yathi kuyajabulisa ukuthi uZuma ukuzwile ukukhala kwabantu abebengeneme neze ngokususwa kukaMnuz Nhlanhla Nene esikhundleni sokuba uNgqongqoshe wezeziMali.

UMnuz Cas Coovadia, uMqondisi kule nhlangano, uthe kube kuhle ukuthi uZuma ubonile ukuthi ukugudluza kwakhe uNene esikhundleni bese efaka umuntu ongaziwa kuwulimaze kanjani umnotho ezimakethe

“Njengamabhange sizimisele ukusebenzisana noGordhan ukuze silungise izinto nezinkinga ezidaleke ngesiqnumo sikaMengameli sangesonto eledlule. Ngakho sinxusa uGordhan ukuba abhukule alungise izinto ukuze kubuye isithunzi somnotho wezwe ukuze nezinto zibuyele esimeni bese kudaleka namathuba omsebenzi,” kusho uCoovadia.

Okushiwo yizazi kubuyiswa uGordhan

$
0
0

Izazi zomnotho zithi uMengameli Jacob Zuma wenze isinqumo esiphusile ngokubuyisela uMnuz Pravin Gordhan eMnyangweni wezeziMali.

|||

BONISWA MOHALE

IZAZI zomnotho zithi uMengameli Jacob Zuma wenze isinqumo esiphusile ngokubuyisela uMnuz Pravin Gordhan eMnyangweni wezeziMali emuva kokumjuba kowokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu ngo-2014 kodwa umonakalo owenzeke kwezomnotho usazothatha isikhathi ukuba ulungiswe.

NgeSonto ebusuku uZuma umangaze abaningi ememezela ukuthi obenguNgqongqoshe omusha wezeziMali uMnuz David van Rooyen usezophatha uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uGordhan abuyele kowezeziMali.

Isazi somnotho uSolwazi Bonke Dumisa weDumisa Investment uthe ukubuyiselwa kukaGordhan esikhundleni ayesiphethe phambilini ngeke kwenze umehluko otheni kwezomnotho njengamanje ngoba umonakalo omningi usuwenzekile emnothweni wezwe ngenxa yezinyathelo nezinqumo ezithathwe uMengameli ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.

“Abantu nabatshali bezimali bamazwe angaphandle sebesithatha “njengezwe lokudlala”, okuthiwa phecelezi ngesilungu “banana republic” lapho abaphathi bezwe bezithathela izinqumo bengacabangisisanga imiphumela yezinqumo abazithathayo. Kumele sikwamukele ukuthi uMnuz Nhlanhla Nene akakhishwanga ngoba engawenzi kahle umsebenzi. Wakhishwa esikhundleni ngezizathu ezingahlangene nobuchule bakhe ekwenzeni umsebenzi obabazekayo. Ngakho-ke njengoba ungqongqoshe uGordhan ebuyiselwe kulo mnyango wezeziMali, impumelelo yakhe izoncika ekutheni izihibe uNene ahlangabezane nazo sezisusiwe yini,” kuhlaziya uDumisa.

Uthe kumele abantu baseNingizimu Afrika babuye bakwamukele ukuthi ezinye izinto zingaphezu kwamandla abo njengokwehla kwamandla eRandi okuncike ekutheni abatshali zimali bacabangani ngokwenzeka ezweni.

“Kumele sikwamukele ukuthi abangaphandle bayajabula uma iRandi lehla ngoba lokho kwenza bathole izimpahla zethu ngentengo ephansi ezabo zimbe eqolo kithi. Umonakalo sewenzekile kodwa-ke kungcono ngoba sekuphethe umuntu onamava kulo mkhakha,” kusho uDumisa.

UMnuz Azar Jammine oyiChief Economist kwa-Econometrix uthe isinqumo sikaZuma silahlekisele iNingizimu Afrika ngo-R169.6 billion ohambe ngoLwesine nangoLwesihlanu.

“Siyabonga uguqukile kodwa ngebhadi imali elahlekile akulula ukuyibuyisa. UPravin yindoda eyaziwayo, enamava akafani noVan Rooyen owahlulwa nguMasipala wathushuka kuthiwa usephethe izimali. Siyathemba iRandi lizoqina ngoba nosomabhizinisi abancane abebeboleke imali phesheya kwezilwandle bese bebhekene nobunzima uma iRandi lintenga. Phela ukuntenga kweRandi kusho ukuthi uma ukweleta phesheya uzokhokha imali enkulu futhi nempahla yakho oyidayisa khona ayikuletheli inzuzo ngoba isuke ishibhile,” kusho uDkt Jammine.

UMnuz Cees Bruggemans weBruggemans & Associates uthe uNene bekungamele asuswe kodwa bayakwemukela ukubuyiswa kukaGordhan. Uthe uMengameli ongakwazi ukumela isinqumo sakhe ulahlekelwa yisithunzi kodwa ukushesha kwakhe ukulungisa iphutha alenzile kubuyise ithemba enhlanganweni ebusayo i-ANC lokuthi isakwazi ukukhuza kuzwakale.

“Siyethemba ukuthi umnotho uzosimama kodwa siyesaba ukuthi intela ingase yenyuswe ukuze kubuye imali esilahlekele. Amaholidi kaDisemba kumele asinike isikhathi esanele sokulungisa amaphutha enzekile yize umonakalo uzothatha isikhathi ukuba ulunge,” kusho uBruggemans.

Inhlangano yosomabhizinisi iSouth African Chamber of Commerce and Industry (SACCI) ithe iyakujabulela ukususwa kukaVan Rooyen ngoba ifuna kuthuthukiswe umnotho kulunge kwezohwebo nokutshalwa kwezimali.

Esitatimendeni isikhulu esiphezulu seSACCI, uMnuz Alan Mukoki, sithe ukuqokwa kukaGordhan kuzoletha uzinzo ngoba ayaziwa amava akhe kodwa banxusa ukuba uhulumeni azibhekisise izingqinamba zomnotho wakuleli abale kuzo ukungakhuli komnotho nezinga eliphezulu labantu abangasebenzi.

Uthe ukufakwa kukaVan Rooyen eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu kuzoba nezingqinamba zakhona ngoba nalo mkhakha unezinkinga zawo. Uphethe ngokuthi bayethemba ukuthi ikhabhinethi izokweseka ungqongqoshe omusha ukuqiniseksia ukuthi konke kuhamba kahle.

Lizobolela ejele iphoyisa elabulala izelamani

$
0
0

Ngemuva kweminyaka eyisikhombisa ligcine ligwetshiwe iphoyisa laseHillcrest eladubula labulala izinsizwa ezintathu zakwaNgcongo, kubangwa ibhande le-Armani.

|||

NOELENE BARBEU

NGEMUVA kweminyaka eyisikhombisa ligcine ligwetshiwe iphoyisa laseHillcrest eladubula labulala izinsizwa ezintathu zakwaNgcongo, kubangwa ibhande le-Armani.

USergeant Lincoln Philani Duma (44), uzobhadla ejele impilo yakhe yonke ngemuva kokuthi iJaji elibambile eNkantolo eNkulu yaseThekwini, uYvonne Gcaba, limgwebe iminyaka engu-65.

Ijaji uGcaba lithe lisathuthumela namanje uma licabanga ukuthi waba nomuzwa onjani unina ngokubulawa kwamadodana akhe oWelcome (35), Nkosingiphile (28) noSbonelo (iminyaka yakhe engatholakalanga).

“Noma ngabe yisiphi isigwebo ositholayo ngeke sibabuyise abantwana bakhe,” kusho ijaji.

Ligwebe uDuma iminyaka engu-20 ngecala ngalinye lokubulala, nemihlanu yamacala amabili okuzama ukubulala.

Kuneminye iminyaka eyisikhombisa yelinye icala lokuzama ukubulala.

Eminye iminyaka yalezi zigwebo izodonswa ihlanganisiwe, nokwenza iminyaka azoyibhadla ejele ibe ngu-65.

Ijaji alisivumelanga isicelo sikaDuma sokubuyekezwa kwesinqumo nesigwebo senkantolo.

UDuma wasebenzisa isibhamu somsebenzi evulela ngenhlamvu emcimbini wokugezwa owawuseNtshongweni , eHillcrest, ngoNovemba 2008.

Ngokwamaphepha asenkantolo uDuma ophinde abe nethaveni, waya ekhaya likaMarvellous Shandu wamkhomba ngesibhamu. wabe esemyisa komunye umuzi nokuyilapho amshaya khona embuza ngotshwala obuntshontshwe ethaveni yakhe.

UShandu wayegqoke ibhande likaSbonelo le-Armani ngesikhathi uDuma emkhumula lona walithandela emqaleni wakhe wamklinya ngalo waze waquleka.

UShandu wabe esethathwa ngamaphoyisa amyisa esiteshini samaphoyisa eHillcrest.

Izelamani ezabulawa nazo zazisesiteshini lapho uDuma ayeziphosa khona imibuzo ngotshwala obulahlekile.

Bonke badedelwa ngemuva kwezinsuku ezintathu kepha ibhande lasala kuDuma.

Amaphepha asenkantolo aphinde aveze ukuthi uDuma watshela unina walezi zelamani nomama kaShandu ukuthi amadodana abo angaphinde eze ethaveni yakhe.

NgoNovemba 1, 2008 lezi zelamani zazisetekisini ngenkathi isihlobo sikaDuma, uThami Mdunge, engena kuyo egqoke leli bhande le-Armani ababe sebemphuca lona. Ngokuqhubeka kwalolo suku uDuma noMdunge banikela kubo kaSbonelo ukuyolanda leli bhande.

Ngaleyo ntambama izelamani zakwaNgcongo, isihlobo sazo uSibusiso Ngcongo (25), uShandu noSifiso Khabane (26) babesemcimbini wokugezwa endaweni ngenkathi kuqhamuka uMdunge noDuma ephethe isibhamu somsebenzi.

UDuma wakhuluma noSibusiso maqede wakhipha isibhamu wabe esemdubula ngenkathi ezama ukubaleka.

UWelcome naye wazama ukubaleka kodwa uDuma wamdubula naye, wadubula noNkosingiphile noSbonelo bashona.

UKhabane yena walimala.

Ummeli kaDuma uColin Mann wacela inkantolo ukuba ikubheke ukuthi uDuma usetoke iminyaka eyisikhombisa elinde isigwebo.

Uveze nokuthi uDuma wayengakuhlelanga ukubulala lezi zelamani.

Kepha umshushisi uKhatija Essack ukuphikisile lokhu. Uthe uDuma waya etendeni ngenhloso yokuyosusa uthuthuva, futhi wayehlomile.

“Wadubula ngesibhamu somsebenzi ewazi kahle umphumela walokho. Wayazi ukuthi kwakungafa abantu abamsulwa,” kusho u-Essack.

Utshele inkantolo ukuthi bonke laba badutshulwa bebaleka futhi bonke badubuleka amahlandla angaphezu kwelilodwa.

Kubhuntshe umcimbi i-ANC idonsisana

$
0
0

Kubhuntshe umcimbi wekhonsathi kamaskandi obekuzoqhudelana kuwo izingqungqulu zalo mculo ngenxa yoqhekeko oluku-ANC.

|||

CELANI SIKHAKHANE noBONISWA MOHALE

KUBHUNTSHE umcimbi wekhonsathi kamaskandi obekuzoqhudelana kuwo izingqungqulu zalo mculo, obuzoba seNgwelezane, eMpangeni ngoMgqibelo, ngenxa yoqhekeko oluku-ANC ngabaholi okumele bakhethwe engqungqutheleni yango-2017.

Lo mcimbi kuthiwa ubuzoxhaswa yihhovisi likaNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Senzo Mchunu ngemali engi-R1million kodwa lahoxa ngomzuzu wokugcina ngemuva kokuthi abahleli bale khonsathi bebonakale benoMnuz Sihle Zikalala noDkt Nkosazana Dlamini-Zuma obenzelwe umcimbi KwaNongoma.

Okhulumela uhulumeni esifundazweni uMnuz Thami Ngwenya ethintwa ngalokhu uthe akazani nezinto zemicimbi kamaskandi kodwa ekugcineni wacela ukuthunyelelwa imibuzo, wathi usazoxhumana nozakwabo ngaphambi kokuthi abuye nezimpendulo.

Umhleli walo mcimbi obuzoba seNgwelezane uMntwana uBonga Zulu wasendlunkulu oQathaqatheni, uthe uthole ucingo ezikhulwini zehhovisi zimazisa ukuthi ngeke besakwazi ukuqhubeka nokuweseka.

“Ngishayelwe ucingo wuCallistus Nkwanyana osehhovisi likaNdunankulu okunguyena engadluliselwa kuye ngubaba uSenzo Mchunu. Ungitshele ukuthi abasezukuba yingxenye yomcimbi wethu kamaskandi ngoba imali ayikho. Ngivele ngashaqeka ngoba bekungakapheli ngisho izinsuku ezintathu bengitshelile ukuthi konke sekumi ngomumo bazosixhasa ngo-R1million futhi leyo mali bazoyithatha ophikweni olubhekele ezamaGugu. Ngemuva kwalokho ngithintwe ngowesifazane kuleli hhovisi ongazishongo igama lakhe, wangitshela ukuthi kuthathwe isinqumo sokuba ngingabe ngisaxhaswa kulo mcimbi kamaskandi ngoba ngithathe uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma ngamenzela umcimbi KwaNongoma ekubeni kwaziwa ukuthi akekho ekhempini kababa uMchunu. Ngixakekile ngoba ngafaka isicelo sika-R1.5million bona bangithembisa isigidi esisodwa futhi ngasemukela,” kusho uMntwana uBonga.

Uthe kulo mcimbi bekuzodlala amaSoul Brothers, Shwi noMtekhala, Dlubheke, Buselaphi nezinye izihlabani. UMntwana uBonga uthi ubeseqashe ngisho inkampani yokufaka umsindo kaMnuz Bheki Mkhwane.

“Ngize ngamangala ukuthi ngabe ipolitiki ingena kuphi kule nto ebesiyenza yokubungaza uDlamini-Zuma nokuhlela umcimbi kamaskandi? Ngididekile okwangempela ngoba bengithi alikho iphutha. Ngigcine sengitshela abaculi ukuthi akusahambanga kahle, izinto zibhedile imali ayikho ngoba ihhovisi likaNdunankulu lihoxe ngomzuzu wokugcina. Ngisho laba bantu ebengixhunyaniswe nabo nguNdunankulu abasazibambi izingcingo zami okungoNkwanyana,” kusho uMntwana uBonga.

Ngonyaka odlule kunomcimbi obizwa ngeLast Dance owawuseMpangeni, owawuzoxhaswa uNdunankulu kodwa ihhovisi lakhe kuthiwa lahoxa ngomzuzu wokugcina ngemuva kokubonakala kukaMnuz Thulani Mashaba kuthelevishini ekhuluma ngayo iLast Dance.

UMashaba ubethathwa njengesitha esikhulu sikaMchunu kwezepolitiki.

UNgwenya okhulumela uhulumeni waKwaZulu-Natal uthe ngeke akwazi ukuphawula okuningi ngalolu daba ngoba akanayo imininingwane ngisho nabophiko lwamagugu akabatholi. Uthe udinga ukwazi ukuthi kwakuvunyelwene ngani, ngoxhaso olunjani.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>