Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Ayifani imibono ngenkulumo yeSilo

$
0
0

I-DA KwaZulu-Natal ishiye engalazi eSilweni samabandla isisola ngokuncoma uhulumeni wobandlululo.

|||

CELANI SIKHAKHANE

I-DEMOCRATIC Alliance KwaZulu-Natal ishiye engalazi eSilweni samabandla isisola ngokuncoma uhulumeni wobandlululo kanti amanye amaqembu ezombusazwe agweme ukuphawula ngenkulumo yeSilo esuse umsindo esiyenze sigubha iminyaka engu-44 siyiNkosi yamaZulu ngoMgqibelo, KwaNongoma.

Umholi weDA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango uthe kuyihlazo elesabekayo ukuthi iSilo sincome umbutho wezempi wangobandlululo ekubeni wawuqotha abantu baso abamnyama.

“Siphoxekile ngokukhuluma budedengu kweSilo samabandla ngoba uhulumeni wobandlululo wawuphethe abantu abamnyama njengabantu abangelutho. Kunezintandane nabafelokazi ababulawa esibhicongweni sokuhlaselwa wumbuso wobandlululo lona onconywa yiSilo. Kumanje sibhekene nesimo lapho izwe lethu lisenenkinga yokungalingani ngenxa yezibazi ezadalwa nguhulumeni wengcindezelo uhlukumeza abantu. Ngisho lo hulumeni okhona njengamanje we-ANC uyahluleka wukulungisa isimo kunalokho kuhlomula idlanzana nomnotho wethu udonsa kanzima ngenxa yawo umbuso wobandlululo,” kusho uMncwango.

Leli qembu lisanda kuxosha umholi walo oqavile uNkk Diane Kohler Barnard ePhalamende ngokufaka kuFacebook inkulumo yentatheli eyayincoma umbuso wobandlululo.

Ngakolunye uhlangothi i-ANC ngomkhulumeli wayo uMnuz Mdumiseni Ntuli, ithe ngeke ikwazi ukuphawula ngoba ibingakayilaleli inkulumo yeSilo isiyonke.

I-NFP ngomlomo kaSolwazi Nhlanhla Khubisa ithe iSilo akukho okubi ebesikuqondile kodwa besiluleka abantu ukuthi bayeke ukucekela phansi ingqalasizinda uma kukhona abangeneme ngakho.

UMnuz Vukani Ndlovu we-EFF naye uthe akukho abangakuphawula ngenkulumo yeSilo kodwa bayahambisana naso uma sikhala ngokuthi abantu akumele uma bebhikisha bacekele phansi impahla.

UMntwana Thulani Zulu uthe akukho lapho iSilo sincome khona ubandlululo kodwa besicacisa ukuthi sizalwe ngesikhathi kungena iNational Party emandleni, saphinde sagcotshwa ngo-1971 ngakho sibazi bonke ohulumeni ababuse sikhona.

“ISilo size sasho nokuthi amaBhunu ayesihlonipha esinika nezindondo kodwa akukho lapho esaguquka khona sathengeka. Kunalokho asigudlukanga ekubeni nguMzulu ngoba sasilazi iqiniso. Akukho lapho sigxeke khona uhulumeni obusayo kunalokho besikhuluma ngezolimo. Asizange sifake ipolitiki ngoba asihlangani nayo,” kusho uMntwana uThulani.

Umhlaziyi wezepolitiki uDkt Muzi Mngomezulu uthe iSilo siphawule budedengu kakhulu ngoba igcine isihumusheka ngenye indlela sekwehla nesithunzi saso.

“Uma iSilo besincoma ingqalasizinda yobandlululo bekungamele sigxeke uhulumeni obusayo ngenxa yamaphutha enziwa ngabantu abambalwa. Ngisho ilungu leDA ebelisePhalamende uKohler Barnard, lazithola lisenkingeni ngokuncoma uhulumeni wengcindezelo ngakho kuyethusa uma neSilo sesizokhuluma kanje ngoba bekungafanele nakancane sikwenze lokhu,” kusho uMngomezulu.

Umhlaziyi ozimele uMnuz Thabani Khumalo uthe iSilo siyihlabe esikhonkosini ngodaba lwezakhiwo ngoba amaBhunu ayakha izakhiwo eziqinile kodwa ezingasanakiwe nguhulumeni obusayo.

“AmaBhunu kuningi okuhle akwenza obekumele singabantu sikuthathe siqhubeke nakho njengazo izakhiwo ngoba ukuthi zakhiwa yiwo akusho ukuthi kwakungezona ezethu,” kusho uKhumalo.

Umholi we-IFP onguNdunankulu kaZulu iNkosi Mangosuthu Buthelezi uthe ziyahlupha izintatheli ngokubika budedengu izinto ngoba zifuna izihloko ezihehayo nezinehaba. Uthe uMbuso kaZulu uvamisile ukubhekana nale nkinga.

“Kuyiqiniso elisemlandweni ukuthi uhulumeni wobandlululo wuwunempi enamandla nomnotho osimeme. Ukuvuma leli qiniso akukhona ukuncoma ubandlululo.

“Kuyiqiniso ukuthi ngaphansi kukahulumeni we-ANC umnotho wethu ushayeke kakhulu. Ayikho imisebenzi kanti izinga lempilo seliphezulu kakhulu. Kumele siphatheke kabi uma iSilo singakhulumi ngalezi zinto. Asifuni nokho ukubuyela obandlululweni. Kodwa okwenzeka manje kwenza kube nezizathu eziningi ezenza sihlalele ovalweni ngekusasa lezwe lethu,” kubeka uButhelezi.


Uboshiwe ngelokubulala uninakhulu

$
0
0

Zimkhalele umzukulu ovume ukuthi nguye owabulala uninakhulu nomalume wakhe abatholakale bebulewe ethaveni.

|||

MLUNGISI GUMEDE

ZIMKHALELE umzukulu ovume ukuthi nguye owabulala uninakhulu nomalume wakhe abatholakale bebulewe ethaveni yakubo KwaNdengezi ekupheleni kwenyanga edlule.

UMnuz Sibusiso “Tornado” Nzama (29), ukhalelwe amasongo kaSigonyela ngeledlule emva kokufunwa uthuli ngamaphoyisa mayelana necala lokubulala uninakhulu, uNkk Beatrice Gamede (80), noninalume, uMnuz Bheki Gamede (58).

UNkk Gamede wanqunywa kwathi uGamede yena wagencwa.

Emva kokubanjwa amaphoyisa uNzama kuthiwa uculile wathi nguyena owanquma uninakhulu, waphinde waklabha ngembazo umalume wakhe waze wamxhonxha amehlo.

Iphoyisa laKwaNdengezi elingagunyaziwe ukuthi likhulume nabezindaba lithe basaqhubeka nophenyo.

UNzama izolo uvele kafushane enkantolo yeMantshi yasePinetown mayelana namacala amabili okubulala, icala lahlehliswa ukuze afake isicelo sebheyili.

Ugcinwe ezitokisini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi ukhona oboshiwe mayelana nesigameko saKwaNdengezi. Uthe uvumile ukuthi nguyena owenza icala.

Indodana kaNkk Gamede, uMnuz Thabo Gamede, ithe bashaqekile ngokuboshwa komzukulu wabo.

“Umzukulu uvumile ukuthi nguyena owanquma ugogo, waphinde waklabha umfowethu,” kusho uGamede.

Uthe umzukulu ubehlala naye ugogo.

“Umsolwa uyindodana yendodakazi kagogo eseyashona,” kusho uGamede othe ibivele isolisa indlela okwenzeka ngayo ngoba unina nomfowabo batholwa befile endlini kodwa kungazange kugqekezwe.

UNkk Gamede obengumnikazi wendawo yokucima ukoma edume ngokuthi yikwaGogo’s Tavern, utholwe enqunyiwe elele embhedeni wakhe.

UBheki ubengahlali nonina kodwa ubekade elale ekhaya ngoba ekade efike ezolobolela umfowabo omncane.

Akasabonwa ‘oqolwe’ eyesitokofela

$
0
0

Unyamalele owesifazane wakwa-Q, eMlazi osolwa “ngokudukisa” u-R121 000 westokofela ngempelasonto.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

UNYAMALELE owesifazane wakwa-Q, eMlazi osolwa “ngokudukisa” u-R121 000 westokofela ngempelasonto.

UNkk Nompumelelo “Mpume” Khuzwayo (41), kuse izolo engasabonwa emzini wakhe nokusolwa ukuthi “unyenyile” ebusuku ngeSonto kulandela ukutshela amalungu esitokofela ukuthi ubanjwe inkunzi ngabafana ababili maqede bashaqa yonke imali abeyiphethe.

Imali bekumele ihlukaniswe ngoMgqibelo kanti uNkk Khuzwayo waphuma emhlanganweni wesitokofela eyolanda le mali eyayisendlini yakhe wahamba okwejuba likaNowa waze wabuya ngakusasa ngeSonto amalungu esitokofela esho ukumudla amfele. Imali ibihlala kwakhe ngoba ibibolekisa ukuze ibuye isinenzuzo.

NgeSonto amalungu esitokofela amsabise ngokuthi amnika izinsuku ezimbili ukuthi abuyise imali yawo kanti yena ubelokhu ezikhalela ethi okungcono akudliwe umuzi wakhe ngoba imali bamphucile abafana.

Izolo Isolezwe lifike emzini kaNkk Khuzwayo kukhala ibhungezi, amawindi nenye impahla yakwakhe kucekelwe phansi.

Bekumapeketwane ngaphakathi, ifenisha isaphazekile, ekamelweni lokulala izimpahla zisaphazeke phansi.

Amalungu esitokofela atshele Isolezwe ukuthi ekuseni afike emzini kaNkk Khuzwayo engasabonwa. Athe bekukhona amadodana akhe amabili, nawo elungiselela ukuhamba.

Indodakazi nomyeni wakhe kuthiwa nabo bavele baphela emehlweni ngeSonto.

Enye yamadodana kaNkk Khuzwayo kuthiwa iphume ngembobo yenaliti ibuzwa ukuthi unina ukephi.

Isolezwe lifice amalungu esitokofela eme izixongololo kukhulunywa le ndaba.

Abanye bebesabisa ngokushisa umuzi, abanye benqaba befuna udayiswe ukuze bathole imali yabo.

Babodwa abebezisola ngokuthi abazange bamshaye ngeSonto njengoba manje usevele wanyamalala.

UNksz Bongi Mngadi (31) obekumele athole u-R12 000 kulesi sitokofela uthe bebengazitsheli ukuthi uzobaleka.

“Sifike ngo-7 ekuseni sizobheka ukuthi ngabe usezimisele yini ngokukhipha imali yethu yesitokofela kodwa ubengasekho. Amadodana akhe amabili siwaficile kodwa abalekile. Kuthe uma sibuza ukuthi uphi unina, avele akha ngejubane abaleka. Kuyamangaza ukuthi umuzi usuvaliwe emuva kokuba kulahleke imali yethu, sekuyacaca ukuthi kukhona ubugebengu ngokulahleka kwayo,” kusho uNksz Mngadi.

Kumanje uNkk Khuzwayo akaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo, inombolo ayinikeze Isolezwe ivaliwe.

Amalungu esitokofela athe aye kudadewabo kaNkk Khuzwayo ohlala kwa-U eMlazi angamfica.

Amanye amalungu esitokofela abelokhu ekhala ngendlala ethi abethembele kule mali obekumele ihlukaniswe ngoMgqibelo.

Kuthiwa amanye amalungu esitokofela abengazi nokuthi kuyacazwa aze ezwa emhlanganweni ngoMgqibelo. Kwaziswa ambalwa kubalekelwa bona belu ubugebengu.

Amalungu esitokofela ahlala ubusuku bonke emlindile, waze wabuya ngakusasa esebatshela ukuthi imali ithathwe yizigebengu zamdubula.

Uveze namanxeba athi awokudutshulwa aphinde athi ugwazwe yizigebengu ezimbamba inkunzi.

Omunye wesifazane osemncane ukhale ngokuphuthelwa yiziphuzo ezibandayo njengoba imali ingabonwa.

“Izolo (NgeSonto) ngiphuthelwe ukuyobuka iBig Nuz (eYadini) ngoba imali ngingenayo. Bengithembe ukuthi imali yethu izophuma ngoMgqibelo ngikwazi ukuzijabulisa. Kumanje ngiyafa wukoma angikwazi ukuphuza imali yami engiyibeke kanzima,” kusho ilungu lesitokofela.

Kunanele nomunye wesifazane othe kumanje ngabe amafriji abo agcwele iziphuzo bayathokoza ngemali yabo.

Omunye wesifazane naye ongathandanga ukudalulwa uvele wacela ukuba anikezwe “uSne” ukuze adle.

Babe sebemnikeza idosha lesinemfu elimnyama elinesivalo esiphuzi.

“Kungcono ngizibhemele uSne (isinemfu) ngoba imali yonke ihambile. Angazi nokuthi ngizothini ezinganeni zami. Kwaze kwanzima,” kusho yena maqede washutheka ugwayi wakhe emlonyeni.

Amalungu esitokofela athe ayile esiteshini samaphoyisa ngeSonto eyobhalisa isitatimende ngokwenzekile.

Izolo amaphoyisa awazange aqinisekise ukuthi likhona icala elivulelwe uNkk Khuzwayo.

Iphoyisa elingavumelekile ukuphawula litshele Isolezwe ukuthi amaphoyisa anolwazi ngalolu daba.

Uhlale usuku lonke nommese emhlane

$
0
0

Ukhala ngesihluku sonesi basesibhedlela ugogo womfana ohlale usuku lonke nommese ubhajwe emhlane wakhe.

|||

S’MANGELE ZUMA

UKHALA ngesihluku sonesi basesibhedlela, iMahatma Gandhi Memorial, ugogo womfana ohlale usuku lonke nommese ubhajwe emhlane wakhe oze wakhishwa eNkosi Albert Luthuli ezintatha zayizolo.

Ugogo kaMnuz Mondli Majola, uNksz Dorothy Madonsela (64), waseNewtown C, eNanda, uthi umzukulu wakhe ugwazwe ngaphandle kwasendaweni yokucima ukoma iG-Lounge.

“Kuthiwa kuqhamuke omunye ephethe ummese wavele wamgwaza emhlane eduze komgogodla, ummese wasala phakathi. Mina ngibizwe abangani bakhe sebethi angiphuthume usegwaziwe. Ngithuke ngoma ngibona ummese ungene ntshi emhlane, sathi siyazama ukuwudonsa kepha sathola ukuthi uqinile sasaba ukuwukhipha ngenkani. Simphuthumise emtholampilo lapho abasibizele i-ambulensi ukuthi imdlulisele esibhedlela iMahatma Gandhi. Sifike emaGandhi onesi bathi lokhu abakubonayo kungaphezu kwamandla abo, bazomfonelela i-ambulensi ukuthi imphuthumise eNkosi Albert Luthuli,” kusho uNksz Madonsela.

Uthe uzitshele ukuthi udaba lwakhe bazolisukumela kodwa bavele babahlalisa usuku lonke emabhentshini.

“Ubengakwazi ukuhlala aqonde ngenxa yalo mmese. Ubelokhu ekhale ngezinhlungu novalo lokuthi ummese ungagcina usuwenze umonakalo omkhulu. I-Ambulensi yokuqala imnqabile yathi ibingazile ukuzothatha yena. Eqondane naye ifike ngesikade bathi kuzomele kube nonesi oyedwa ozosiphelezela uma sebemdlulisela esibhedlela iAlbert Luthuli. Bonke onesi abebekhona bale baphetha ukusiphelezela bathi sebezoshayisa futhi abakhokhelwa imali yokusebenza uma sekweqe isikhathi. Bagcine sebeduba behamba abe ambulensi, basishiya kanjalo, nonesi babe bethatha izikhwama zabo bagoduka. Size sasizwa ile ambulensi ebisilethe ekuseni isifike ngokunye, basizwela basihambisa eAlbert Luthuli. Ilapho abafike basitatazelela khona bagcina ngokuwukhipha ngabo 4,” kusho uNksz Majola.

Uthe bengumndeni bafuna uMnyango weZempilo ubathathele izinyathelo ezinqala labonesi abakhombise ukungabi nandaba nempilo yomfana.

“Kuyimanje umzukulu wami uxinekile esibhedlela. Ngibonga ukuthi usaphila, kodwa labonesi ababukise ngathi basiphendula inhlekisa esibhedlela kumele bajeze. Uma benenkinga abakhulume nongqongqoshe wezempilo uDkt S’bongiseni Dhlomo hhayi ukuthi basijezisele amacala esingawazi. Ukube ubeshona umzukulu wami bebezothini?” kubuza uNksz Madonsela.

Uthe alikho icala abalivulile emaphoyiseni ngoba uze wabuya izolo ekuseni ekhaya futhi umnikazi wendaba usaxinekile esibhedlela.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu Natal, uMnuz Sam Mkhwanazi, uthe Umnyango wakhe usalinde umbiko ogcwele mayelana nalesi sigameko. Uthe bazobheka ukuthi laba basebenzi bayilandelile yini imigomo efanele yokubhekana nesimo esibucayi sesiguli.

AbaseKZN bazoba nezincwadi uma bevula

$
0
0

Inhloko yomnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uDkt Nkosinathi Sishi ithi bonke abafundi bakulesi sifundazwe bazoba nezincwadi uma sekuvulwa ngonyaka ozayo.

|||

MHLENGI SHANGASE

INHLOKO yomnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uDkt Nkosinathi Sishi ithi bonke abafundi bakulesi sifundazwe bazoba nezincwadi uma sekuvulwa ngonyaka ozayo.

USishi uthe isinqumo senkantolo yezokuDluliswa kwamacala asibathinti bona ngoba bayazihlinzeka izincwadi.

Ngeledlule le nkantolo iyalele uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga ukuthi aqinisekise ukuthi bonke abafundi baba nezincwadi uma sekuvulwa izikole ngonyaka ozayo.

USishi uthe njengoba kuzovalwa izikole kuleli sonto cishe zonke izincwadi sezifikile ezikoleni.

“Lesi sifundazwe siyashesha ukuhambisa izincwadi ezikoleni. Sihamba phambili ngezibalo ekukhishweni kwezincwadi njengoba sinika umfundi izincwadi eziyisikhombisa,” usho kanje.

Uthe bona manje abayikhulumi eyokuhanjiswa kwezincwadi ngoba izincwadi kade zahanjiswa ezikoleni.

“Izincwadi zahanjiswa kudala, sezikubafundi ngoba asifuni ziduve emahhovisi othishanhloko. Incwadi eyokuthi ifundwe ngabafundi. Naphezu kwezincwadi esizikhiphayo kunanama-workbooks esiwakhiphayo cishe amabili kubafundi. Yingakho sithi thina lesi sinqumo asisithinti kakhulu thina ngoba izicwadi kade sazihambisa,” usho kanje.

Esithangamini sabezindaba nenkampani ediliva izincwadi esifundazweni iNdabase Printing Solutions, kwavela ukuthi zonke izincwadi sezisezikoleni.

Kulesi sithangami kwavela nokuthi abazihambisayo kumele babuye nephepha elisayinwe uthishanhloko lafakwa nesigxivizo sesikole esiveza ukuthi izincwadi zifikile.

Isikhulu sale nkampani, uMnuz Thanda Nyide, wathi kungalula nokubona lapho zingahanjiswanga khona ngoba ababakhokheli labo abadilivayo uma uthishanhloko engasayinanga nesitembu sesikole kubalwa nenombolo kathishanhloko kungekho.

UNyide wathi izincwadi zifakwa ngokwamabhokisi asuke eya kuleso sikole wathi kulelo bhokisi kubhalwa ngisho imininingwane yalowo ozihambisayo.

Wathi kungalula nokuthola ongalahla izincwadi njengoba ebhokisini kusuke kukhona yonke imininingwane yodilivayo.

Amajaji kule nkantolo agxeke uNkk Motshekga ngokungazihambisi izincwadi eLimpopo iminyaka emithathu selokhu kwaqala uhlelo olusha lwezemfundo.

La majaji achithe nesicelo sikaNkk Motshekga sokudlulisa isinqumo senkantolo enkulu yasePitoli eyayinqume ukuthi kumele umfundi nomfundi ahlinzekwe ngazo zonke izincwadi zazo zonke izifundo.

Le nkantolo yagxeka umnyango ngokungahleleki ngokuthi ungazihambisi izincwadi ekubeni sekufundwa ngohlelo olusha.

Ngemuva kwalesi sinqumo izinhlangano ezilwela amalungelo abafundi okuyiSection 27 kanye neHuman Rights Commission zasishayela isandla lesi sinqumo.

Ufuna ukunxeshezelwa yisibhedlela ongasakwazi ukuhamba

$
0
0

Usola isibhedlela owesilisa waseCato Manor ongasakwazi ukuhamba emuva kokuhlolelwa ufuba lomgogodla esibhedlela iWentworth.

|||

LUNGI LANGA

USOLA isibhedlela owesilisa (29) waseCato Manor ongasakwazi ukuhamba emuva kokuhlolelwa ufuba lomgogodla esibhedlela iWentworth.

UMnuz Trevor Ngongoma uthe ukhala ngokubanjiswa udonga yisibhedlela iWentworth, athi simthembise ukuthi uzonikwa isihlalo samasondo njengoba engasakwazi ukuhamba.

Uthe akasakwazi ukuhamba emuva kokudonswa uketshezi emgogodleni ukuze luhlolelwe ufuba.

UNgongoma uthe ungeniswe esibhedlela ngoJanuwari nyakenye ephethwe yisisu esase simphathe isikhathi esingangenyanga.

Uthe ngesikhathi esehlolwa esibhedlela kwavela ukuthi unofuba. Ngokusho kwakhe ngaphambi kokuphela kwenyanga kaJanuwari ube esedonswa uketshezi emgogodleni ngenhloso yokuhlolela ufuba lomgogodla.

Uthe ngesonto elilodwa lolu ketshezi lwadonswa kabili. Ngesonto elilandelayo luphinde lwadonswa.

“Emva kokuthi seludonswe okwesibili banginika i-wheelchair esibhedlela kwathiwa angisebenzise yona. Ngazitshela ukuthi lokhu kuzoba yinto yesikhashana. Kodwa sengibonile manje ukuthi ngeke ngiphinde ngihambe ngoba sekuhlangana unyaka wesibili ngingakwazi ukuhamba,” kusho uNgongoma.

Uthe okumkhathazayo wukuthi esibhedlela utshelwe ukuthi uzothola isihlalo samasondo kodwa kuze kube yimanje akanaso.

Lesi ayesisebenzisa sasala khona esibhedlela futhi naye akazange ayibone inkinga ngaleso sikhathi ngoba wayelokhu etshelwa ukuthi uzolulama.

Uthe ufuna isibhedlela simnxephezele ngokulimala kwakhe ngoba akukho okwakukhombisa ukuthi kunesidingo sokuthi aze adonswe uketshezi kathathu.

Uphinde wakhala ngokuthi isibhedlela asikaze sixolise ngokwenzeka kuye.

Uthe manje usedinga ukuqukulwa noma eya kuphi. Uze aqoke ukuzihlalela endlini usuku lonke.

UNgongoma uthe walahlekelwa nawumsebenzi ngenxa yalesi simo asezithola ekuso.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natali, uMnuz Sam Mkhwanazi, uthe umthetho awabavumeli ukuthi bakhulume ngesifo sesiguli.

Unxuse iziguli ukuthi zibuyele ezikhungweni zezempilo ebezihambele kuzo uma zibe nezinkinga.

Iseyinkinga eyemfucuza eseMlazi

$
0
0

Umasipala weTheku usucele abantu baseMlazi ukuthi ubabekezelele ngesikhathi besazama ukuqoqa udoti obese kuphele inyanga ungaqoqwa kuleli lokishi.

|||

S’MANGELE ZUMA

UMASIPALA weTheku usucele abantu baseMlazi ukuthi ubabekezelele ngesikhathi besazama ukuqoqa udoti obese kuphele inyanga ungaqoqwa kuleli lokishi.

Umphakathi waseMlazi utshele Isolezwe ebelihambele kule ndawo ukuthi izinkampani ezingu 7 ezazinikezwe umsebenzi wokuqoqa udoti zamiswa amasosha oMkhonto weSizwe Millitary Veterans Association (MKVA) ekhala ngokunganakwa wuhulumeni.

Lokhu kwashiya abantu baseMlazi enkingeni yokuhlala endaweni enukayo egcwele imfucuza. Kodwa kulokhu amasosha ayazihlangula athi awahlangene nokungaqoqwa kukadoti.

Nakuba uNksz Tozi Mthethwa okhulumela uMasipala weTheku ethi ukuqoqwa kukadoti sekuqalile eMlazi kodwa Isolezwe lizibonele udoti usaphazeke umgwaqo kwezinye izigceme kuleli lokishi.

“Sinxusa amalungu omphakathi ukuthi asibekezelele njengoba umkhandlu usuqalile ukuqoqa udoti obusugcwele ngokweqile. Siyaxolisa ngesimo esibangwe ukungaqoqwa kwawo,” kusho uNksz Mthethwa.

UMasipala unqabile ukuphendula imibuzo yokuthi kungani udoti wayekwa waze wagcwala nokuthi bazokuqinisekisa kanjani ukuthi udoti usuzoqoqwa ngendlela.

UNksz Princess Mntungwa (51) wakwa-H uthe bezwa kuthiwa amasosha oMkhonto weSizwe axoshe abantu abaqoqa udoti ngoba efuna ithenda inikezwe wona.

“Kubi ukuthi abantu uma belwa izimpi zabo bagcine sebehlukumeza umphakathi wonke. Uma kungukuthi banezikhalo kumele bazidlulisele kuMasipala bangasifaki thina. Kuyimanje sihlezi nenqwaba kadoti. Sike saba nale nkinga ngo-Agasti kodwa yaphinde yaphela, manje isiqale phansi. Into ezosiza wukuthi uMasipala uziqoqele udoti ukuze kuphele lo mbango oqhubekayo,” kusho uNksz Mntungwa.

Uthe uma kuwukuthi uMasipala awuyilungisi le ndaba ngokushe-sha kuzogcina kuphume isidumbu ngoba akekho umuntu ofuna ukuphucwa iqatha emlonyeni.

Elinye ilungu lomphakathi lakwaR, uMnuz Sandile Ngwenya (38), lithe udoti usuyaqoqwa kodwa kuhamba kancane.

“Awazi ukuthi yayingalungiswa ngani le nkinga ngokushesha. Abasicabangeli laba bantu bakaMasipala, ngeke bona bahlale izinsuku eziningi kangaka nodoti. Kuyimanje kubhuza izimpukane udoti ugcwele yonke indawo ngenxa yezinja.

Abasicabangeli ukuthi singagcina sesigula sesithola nezifo ngendlela esingayiqondi,” kusho uNgwenya.

‘Ufanelwe yiminyaka engu-15 u-Oscar’

$
0
0

Abezokushushisa iNPA bathi bafuna ukuthi athole isigwebo seminyaka engu-15 ebhadla ejele u-Oscar Pistorius.

|||

intatheli yesolezwe

ABEZOKUSHUSHISA iNational Prosecuting Authority (NPA) bathi bafuna ukuthi athole isigwebo seminyaka engu-15 ebhadla ejele u-Oscar Pistorius.

“Ubekwe icala lokubulala futhi kungokokuqala ebhekene necala. Isigwebo seminyaka engu-15 yisona esifanele ababulali ngokweMinimum Sentence Act,” kusho okhulumela iNPA, uMnuz Luvuyo Mfaku, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwamagceke aseNkantolo eNkulu eNorth Gauteng izolo.

“Uzokhala noma asiphikise lesi sigwebo seminyaka engu-15 okuyiso esibekelwe ababulali,” usho kanje.

UMfaku wengeze ngokuthi umshushisi kufanele aqinisekise ukuthi umthetho usebenza ngendlela efanele futhi usebenza ngendlela ebhalwe nakumthetho-sisekelo.

uPistorius ebufakazini bakhe obufungelwe ucacisile ukuthi uzokuya eNkantolo yoMthetho-sisekelo akhale ngalesi sinqumo sokubekwa kwakhe icala lokubulala okuyisinqumo esikhishwe yiNkantolo eNkulu yokweDlulisa amaCala esikhiphe ngeledlule.

Encwadini efungelwe, uPistorius uthe uyaledlulisela phambili leli cala ngoba iNkantolo eNkulu yokweDlulisa amaCala yephule amalungelo akhe ngokugxila kwayo kokwenzeka kunokuthi ibheke indlela yokusebenza komthetho ngesikhathi isikhipha isinqumo sokuthi abhekane necala lokubulala.

UPistorius ukhala nangokuthi ukutheleka kwabezindaba ecaleni lakhe nokusakazwa kwalo bukhoma kuthelevishini kwaba wukwephulwa kwamalungelo akhe futhi abubanga khona ubulungiswa lapho. Uthe ngaleso senzo kwaholela ekutheni abanye ofakazi bagcine sebesaba ukuzofakaza ngoba bebona abezindaba bethelevishini nobuxhakaxhaka bamakhamera abo.

Umshushisi, u-Advocate Gerrie Nel, phambilini utshele inkantolo ukuthi akasiboni siphumelela isicelo sikaPistorius sokwedlulisa icala.

Uma lesi sicelo sokwedlulisa icala singaphumeleli, uPistorius kuzodingeka aye enkantolo enkulu lapho kuzokhishwa khona isigwebo sakhe ngaleli cala lokubulala.

IJaji u-Aubrey Ledwaba izolo limkhululile uPistorius ngebheyili ka-R10 000 labeka imibandela ehlanganisa nokuthi kufanele ngaso sonke isikhathi ahlale efake ibhande likagesi elizobazisa ukuthi ukuphi nendawo.

Lo msubathi okumanje icala lakhe eselimudle kakhulu ephaketheni, udonswe ngendlebe ukuthi akhokhe imali yebheyili ungakadluli uLwesihlanu.

UPistorius usazoqhubeka nokuhlala noyise omncane eWaterkloof, eningizimu yePitoli.

Ebeka imibandela yebheyili uLedwaba, ubeke umthetho othi uPistorius kulungile angaphuma endlini phakathi kuka-7 ekuseni kodwa aqinisekise ukuthi emini uyabuya, u-1 emini umshayele esesendlini.

ULedwaba ubuye wathi omunye umbandela owokuthi uPistorius kufanele ahambe ibamba elingu-20km kuphela ukusuka emzini kayise omncane, angeqeli ngale kwalokho.

UPistorius unezinsuku ezingu-15 zokuthi edlulise icala eNkantolo yoMthetho-sisekelo.


Kuhlehle eyolweIFP ngesomiso

$
0
0

Isomiso esihlasele KwaZulu-Natal siphoqe ukuthi kuhlehliswe ingqungquthela yokukhetha ubuholi obusha be-IFP Youth Brigade.

|||

MLUNGISI GUMEDE

ISOMISO esihlasele KwaZulu-Natal siphoqe ukuthi kuhlehliswe ingqungquthela yokukhetha ubuholi obusha be-IFP Youth Brigade (IFPYB) obekumele ibe soLundi kule mpelasonto.

Le ngqungquthela ye-IFPYB, bekuhlelwe ukuthi iqhubeke izinsuku ezintathu, njengoba kade izoqala ngoLwesihlanu isongwe ngeSonto.

Kodwa ngenxa yesomiso esidla lubi esifundazweni, ubuholi balolu phiko buthathe isinqumo sokuthi ingqungquthela ihlehliselwe uJanuwari 29 kuya ku 31, ngonyaka ozayo.

Esithangamini sabezindaba eThekwini izolo, uSihlalo walolu phiko kuzwelonke, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, umemezele ukuthi ngenxa yesimo esingaphezu kwamandla abo bathathe isinqumo sokuthi bayihlehlise ingqungquthela.

“Isizathu esidale ukuthi ingqungquthela siyihlehlise yisimo sokuntuleka kwamanzi eNingizimu Afrika. Emasontweni amabili edlule silulekwe ihhovisi lethu lasoLundi, nezinye izinhlaka esisebenzisana nazo, ukuthi uLundi lubhekene nengwadla yokushoda kwamanzi okwenza kube nzima ukuthi sikwazi ukuqhubeka nengqungquthela yethu ngaphansi kwesimo esinjalo,” kusho uHlengwa.

Uthe bazamile ukuthi bathole enye indawo abebezoyisebenzisa kodwa bangaphumelela.

“Besizithola izindawo kodwa zithi zingasinika usuku olulodwa kanti thina sidinga izinsuku ezintathu. Ngifuna ukukugcizelela ukuthi ingqungquthela yethu ayizange ihlehle ngenxa yepolitiki yangaphakathi enhlanganweni kodwa kungenxa yokuntuleka kwamanzi,” usho kanje.

UHlengwa uthe amanzi akhona oLundi kumele asetshenziswe yizakhamizi zakhona kulesi sikhathi samaholide kakhisimusi. Wengeza ngokuthi benza izinhlelo zokuthi ingqungquthela ihlale ngaphandle kokumosheka kwesikhathi.

“Sihlela umhlangano ophuthumayo womkhandlu ohola uPhiko lwentsha ozoba ngaphambi kokuphela kwalo nyaka, ngenhloso yokubhunga kabanzi ngesimo esikhona samanzi, siphinde sixoxe nangezinye izinto ezithinta amalungiselelo engqungquthela,” usho kanje.

UHlengwa uthe uhlelo lokucwaninga amagatsha bese luqediwe, sekulindelwe ukuthi kuhlale ingqungquthela.

Uthe balindele izithunywa ezilinganiselwa ku-2 300, ezizobamba iqhaza engqungqutheleni.

Kuhlehla ingqungquthela ye-IFPYB nje, othisha abebemaka amaphepha kamatikuletsheni oLundi nabo kuphoqelekile ukuthi bahambe kulendawo, bathuthele eThekwini, ngenxa yesomiso nokwentuleka kwamanzi.

Liboshelwe ukushaya ilungu lesitokofela

$
0
0

Sekube nengwiji ngodaba lwemali yesitokofela engu-R121 000 “eduke” ngomzuzu wokugcina kwa-Q eMlazi.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

SEKUBE nengwiji ngodaba lwemali yesitokofela engu-R121 000 “eduke” ngomzuzu wokugcina kwa-Q eMlazi kuboshwa elinye ilungu ngomsombuluko.

Unobhala wesitokofela uNksz Zikhethile Mkhanyawo uvele enkantolo yaseMlazi izolo lapho ebhekene necala lokushaya indodana kamgcinimafa, uNkk Nompumelelo “Mpume” Khuzwayo (41).

UNksz Mkhanyawo kuthiwa ulandwe ngamaphoyisa ngoMsombuluko ntambama emzini wakhe kulandela ukuvulelwa icala lokushaya indodana kaNkk Khuzwayo eneminyaka engu-18.

Bekunezinsolo zokuthi uNksz Mkhanyawo uboshelwe icala lokubopha uzungu ukuze kuthathwe imali engu-R121 000, lokhu akuzange kuvele enkantolo.

Izolo amalungu esitokofela abegcwele enkantolo ezoseka uNksz Mkhanyawo ngoba ethi akazange amshaye ummangali.

UNksz Mkhanyawo unikezwe ibheyili ka-R500 enkantolo, icala lihlehliselwe uJanuwari 13 ngonyaka ozayo.

Ngesikhathi kungena uNksz Mkhanyawo ebhokisini labasolwa, kusuke isidumo enkantolo uNksz Bongi Mngadi ophathwa yisifo senhliziyo equleka.

UNksz Mngadi bekulindeleke ukuthi athole u-R12 000 kulesi sitokofela. UNksz Mngadi uthe uvele waphatheka kabi kakhulu esebona ukuthi liboshwe ngempela elinye ilungu lesitokofela ekubeni umgcinimafa okunguye “odukise” imali esacanasa ngaphandle.

UNksz Zama Dlamini, oyilungu lesitokofela, uthe baphatheke kabuhlungu ukuthi kuboshwe ilungu lesitokofela ekubeni imali yabo bengakayitholi.

“Siyile esiteshini samaphoyisa eMlazi ukuyovula icala kulandela ukulahleka kwemali kodwa alikho icala abasivulele lona. Kuze kube manje ayikho imali yethu.

“Amaphoyisa aseyamvikela. Ngakolunye uhlangothi kuboshwe ilungu lesitokofela ngokushaya umuntu. Kuboshwa umuntu ohlukumezekile. Sidinga usizo emaphoyiseni ukuze imali yethu itholakale kodwa wona ayasibopha,” kusho uNksz Dlamini.

Le nkulumo ifakazelwe wuNksz Zanele Ngxalaba noNksz Hlengiwe Hadebe.

Udadewabo kaNksz Mkhanyawo ophinde abe yilungu lesitokofela, uNksz Lindiwe Mkhanyawo, uthe bahlukumezekile ngalesi sigameko.

“Udadewethu ushaywe kanzima ngamaphoyisa ngesikhathi ezombophela icala lokushaya. Ubehlukunyezwa phambi kwezingane zakhe. Lo muntu uzithwele futhi. Iphoyisa ebelizombopha liphinde lamtshela ukuthi uyathinteka esigamekweni sokulahleka kwemali. Belimsola ukuthi nguyena othumele izigebengu ezithathe imali. Kusihlukumezile kakhulu lokho. Kuyamangaza ngoba umuntu okunguyena othi ubanjwe yizigebengu zathatha kuye imali akakaboshwa,” kusho uNksz Mkhanyawo.

Amalungu esitokofela akhulume neSolezwe emuva kwecala athe kubacacele ukuthi umthetho uvuna “izigebengu” bese abamsulwa beboshwa.

UNkk Khuzwayo kumanje kuthiwa akakaze alubhade kwakhe selokhu ahamba ebusuku ngeSonto.

Amalungu esitokofela kuthiwa avuka ngoMsombuluko aya emzini wakhe angamfica.

Lapho afica amadodana amabili alo wesifazane, nawo kuthiwa aphuma abaleka.

Indodana evule icala kuthiwa ngesikhathi izama ukubaleka yawa, yabe isilimala kanzinyana ekhanda.

Uthuthuva lusuke ngoMgqibelo ebusuku kulandela ukuduka kukaNkk Khuzwayo ohambe eyolanda imali emzini wakhe ukuze ihlukaniselwe amalungu esitokofela angu-34.

UNkk Khuzwayo ubegcina le mali emzini wakhe, ingafakwa ebhange ngoba ibibolekisa ukuze ibuye isinenzuzo.

Agcine eseqhinqa emzini wakhe ubusuku bonke amalungu esitokofela.

Uze wafika ngeSonto uNkk Khuzwayo esethi ubanjwe yizigebengu zamdubula ethangeni zashaqa u-R121 000 wesitokofela.

NgoMsombuluko kuse engasabonwa uNkk Khuzwayo. Izolo imizamo yokuxhumana naye ayizange iphumelele. Ngokuthola kweSolezwe alikho icala elivulwe amalungu esitokofela okwamanje. Isitokofela sidlalwa ngabesifazane bodwa.

Utholwe esonakele othunjwe yisoka likanina

$
0
0

Sitholwe sihlukene nekhanda eweni okulahlwa kulo udoti isidumbu somfana owathathwa yisoka likanina.

|||

BAWINILE NGCOBO

SITHOLWE sihlukene nekhanda eweni okulahlwa kulo udoti ngakoLindela baseSub 5, KwaDabeka, isidumbu somfana oneminyaka engu-11 owathathwa yisoka likanina ngenyanga eyedlule, wathi uzombuyisa uma unina esethi ababuyelane.

Isidumbu sikaSphesihle Phewa (11) obefunda eChristianenburg Primary School kuthiwa sitholwe ngumuntu oziphilisa ngokuqoqa izinsimbi eweni izolo ekuseni wabe esehlaba umkhosi.

Amaphoyisa ophiko lweSearch and Rescue ebambisene naweK9 abe esefika kule ndawo atakula isidumbu eweni elingamamitha angu-60 ukushona phansi.

Kuthiwa uSphesihle uthathwe ngobeyisoka likanina ngoNovemba 28 lapho bebekade behlala khona emuva kokuthi unina etshele leli soka ukuthi ucu alusahlangani entanyeni.

Isolezwe lithole ukuthi unina kaSphesihle naleli soka bebesathandane izinyanga ezilingaselwa kwezinhlanu kanti unina wale ngane ube esetshela isoka lakhe ukuthi abahlukane.

Lokhu kwaliwa kuthiwa kulicasulile isoka lafika endlini lathatha uSphesihle lahamba naye labe selifonela unina lithi liyombuyisa uma esethi ababuyelane.

Leli soka kuthiwa belilokhu lifona lithi abahlangane nonina walo mfana kodwa ligcine ngokungafiki.

Ngesonto eledlule kuthiwa lifonile lathi unina wengane akeze bezohlangana, kwathintwa amaphoyisa kodwa bama bamlinda engafiki kanti kusolwa ukuthi wayekwazi ukubabona lapho babemlinde khona, yikho engafikanga.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, uthe isidumbu salo mfana sitholwe eweni okulahlwa kulo udoti.

“Ikhanda bese lihlukene nomzimba, isidumbu sesonakele,” kusho uZwane.

Eduze kwesidumbu kutholwe intambo kanti kusolakala ukuthi yayisetshenziswe ukukhunga lo mfana.

Kuthiwa bekukhona nopulastiki obumbozwe ngendwangu emhlophe eduze kwesidumbu.

UZwane uthe umsolwa usagcwele amathafa kodwa amaphoyisa asezithendeni zakhe.

Amaphoyisa aphenya icala lokuthumba nelokubulala.

Iphoyisa ebelikhona ngesikhathi kutakulwa isidumbu kodwa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba lithi isidumbu bese sonakele kakhulu.

“Yimbi lento engiyibonike, ikhanda bese lihlukene nomzimba, isidumbu sonakele kakhulu. Ihlasimulisa umzimba le nto engiyibonile,” lisho kanje.

Limlahlile owabulala uFlabba

$
0
0

USindisiwe Manqele limlahlile elakubo izolo ngesikhathi iNkantolo yeMantshi yaseRandburg imthola enecala lokubulala.

|||

intatheli yesolezwe

USindisiwe Manqele (26) limlahlile elakubo izolo ngesikhathi iNkantolo yeMantshi yaseRandburg imthola enecala lokubulala umculi we-hip hop uNkululeko Habedi odume ngelikaFlabba.

Ngesikhathi iJaji uSolly Sithole likhipha lesi sinqumo lithe: “Ngikholwa wukuthi ubufakazi bukaNksz Manqele akufanele bamukelwe. Akukho okubambekayo okuyisizathu esinqala esaholela ekutheni (uNksz Manqele) abulale umufi.”

Phambilini inkantolo yalalela ubufakazi obabuveza ukuthi uSindisiwe wacasulwa wukuthi umufi wayesaxhumana nowayeyintombi yakhe.

Izolo iJaji uSithole lithe ukuzivikela kukaSindisiwe kwaba nehaba ngokuthi agcine esegwaze umufi ngale ndlela.

“Ukuthi kwakuyini inhloso lapha asazi ngoba uNksz Manqele yena qobo lwakhe wavuma ukuthi wayenenhloso yokugwaza umufi,” kusho ijaji liveze nokuthi ukubulawa kukamufi kwakuhlangene nesikhwele kwezothando.

Emva kokusho kanje iJaji uSithole libe selithi ngaleyo ndlela limthola enecala lokubulala isithandwa sakhe uHabedi owayeneminyaka engu-38 yobudala ngaleso sikhathi ebulawa ngoMashi walo nyaka.

Ngaphambi kokuba lethule isinqumo ijaji uSithole licaphune okwashiwo wuSindisiwe lapho athi khona wagwaza uHabedi ngoba ezivikela, wagwaza efuna ukuze akwazi ukubaleka aphunyuke kuHabedi.

Phambilini, ngesikhathi uSithole efunda umqingo wamakhasi angu-50 wesinqumo sakhe, uthe kucacile ukuthi leli cala limayelana nezothando ezigcine zingasahambi kahle kwaholela ekubulaweni komunye.

USithole egcizelela le ndaba yesikhwele esiholele ekubulaweni kukamufi uthe isikhwele nokungabi namali kukamufi kwaholela ekubulaweni kwakhe.

USithole uqhubeke wathi kubonakala sengathi okuholele ekutheni kwenzeke leli cala kube nje yiso isikhwele.

“Ukudansa kukaKea edansa nomufi kwamcasula kakhulu uNksz Manqele.

(USindisiwe) uyakuphika ukuthi uyamazi uKea phezu kokuba uLuyanda aqasha uKea noMpho nabo amagama abo abaliwe kule ngxabano eyaqala ekamelweni.

“Okunye okwaholela kukho konke lokhu wukuthi kunamadoda amabili akhuluma noNksz Manqele noMasego Tsele ngesikhathi sebehamba bephuma ekilabhini.

“UHabedi wabona sengathi la madoda amabili akhombisa enkulu indelelo, ayamdelela ngokuthi akhulume nentombi yakhe phambi kwakhe ewabuka,” kusho uSithole.

Nodaba lwesimo semali kuHabedi lwaqhamuka kule ngxabano eyaqala lapho kupakwa khona izimoto ngokusho kobufakazi obebulokhu bucashunwa wuSithole.

USindisiwe, owayengumfundi eGriffith College, okuyikolishi elizimele elisedolobheni eDublin , eRepublic of Ireland, wathola ibheyili ka-R10 000 engabange isamsebenzela izolo njengoba elale ebaliwe.

Ingebhe bengatholwa abaminze emfuleni

$
0
0

Bavukele emfuleni uMngenya ukuthungatha amalungu omndeni wakwaMhlongo amathathu agcine engatholakalanga, ngemuva kokuthi iveni abebehamba ngalo lidudulwe amanzi lacwila emfuleni.

|||

S’MANGELE ZUMA

BAVUKELE emfuleni uMngenya, eWeenen izolo ukuthungatha amalungu omndeni wakwaMhlongo amathathu agcine engatholakalanga, ngemuva kokuthi iveni abebehamba ngalo lidudulwe amanzi lacwila emfuleni, ngesikhathi lizama ukuwela ebhulohweni, ngoLwesibili ntambama.

Ngesikade, kutholakale isidumbu sikaMnuz Thulani Mhlongo (35) sidindilize ensimini engezansi komfula.

Ababili okunguNkk Ntombenhle MaMkhize Mhlongo (42) nodadewabo kamyeni wakhe uNksz Ntombi Mhlongo (35) silobe bengakatholakali.

Ngesikhathi kuguguleka iveni kuqale kwaminza abakwaMhlongo abayisikhombisa kepha abane okubalwa kubo nomshayeli bakwazi ukuzabalaza baphuma emfuleni. Ilungu lomndeni wakwaMhlongo, uMnuz Nhlanhla Mhlongo (37) uthe abakaze babuthi quthu ubuthongo kusukela ngesikhathi bethola umbiko wokucwila kwemoto ebinezihlobo zabo.

“Kuyimanje sehla nomfula sihamba sithungatha laba ababili abangakatholakali. Kubuhlungu ukuthi uThulani simthole esefile kodwa sibonga khona lokho. Sikhathazekile ngalaba esingabatholi ngoba kuyohlala kuyisilonda esingapholi uma singagcina singabatholanga. Sisenethemba lokuthi sizobathola. Sibonga umphakathi olokhu unathi kusukela kwenzeka isigameko. Usisingathe kakhulu umphakathi, kuyimanje uphume ngobuningi bawo uhamba usifunisa,” kusho uNhlanhla.

Uthe isehlakalo senzeke ntambama ngesikhathi amalungu omndeni wakhe abephuma edolobheni esegoduka.

“Umshayeli ubezama ukuwela ibhuloho eliphansi lasimende ngesikhathi amanzi anamandla edudula imoto eyiphonsa emfuleni. Kuthiwa imoto iqale yama ngamasondo okuyilapho abathathu bekwazile ukuphuma laba abanye bahamba namanzi ngesikhathi imoto isinyakaza,” kusho uNhlanhla.

Umfowabo kaMaMkhize uMnuz Khabazela Mkhize (30) uthe abakuthandazelayo wukuthi ugcine umzimba wakhe utholakele.

“Sibuhlungu kakhulu ngoNtombenhle. Simthungathe kwaze kwaba yisebusuku ngoLwesibili saphinde savukela khona (izolo) ekuseni. Angikwazanga nokulala ngingazi ukuthi udadewethu ukuphi. Ngivele ngaba nombono wakhe egwiliza, efuna usizo,” kusho uMkhize.

Ikhansela lendawo uMnuz Mthembeni Majola lithe kubaphethe kabi ukuthi le mvula abebeyithandazela ngenxa yesomiso isidale umonakalo.

“Angeke siphumule singakayitholi imizimba yalaba besifazane abaminzile. Sibonga umphakathi obambisene nomndeni ekucingeni laba abaminzile,” kusho uMajola

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu Natal uLieutenant Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi umzimba wowesilisa obeminzile utholwe ngabasebenzi basepulazini eWeenen.

“Umshayeli nabagibeli abayisithupha bebegoduka ngesikhathi imoto iguguleka ebhulohweni eliphansi, ebeligcwele amanzi. Abane bakwazile ukuphuma emotweni bahlengwa amalungu omphakathi. Umzimba wona-35 utholwe ngabasebenzi basepulazini ebhulohweni elincane ngezansi komfula. Ababili bebengakatholakali, basafunwa,” kusho uGwala.

Kushiswe ikhaya losolwa ngokudlwengula

$
0
0

Kishiswe umuzi wakubo kwendoda yakwa-P eMlazi esolwa ngokudlwengula izingane eziyisithupha.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

KUSHISWE umuzi wakubo kwendoda yakwa-P eMlazi esolwa ngokudlwengula izingane eziyisithupha.

Umsolwa (47) Isolezwe elinalo igama lakhe kodwa elingeke lidalulwe ngenxa yobucayi becala, kuvele ukuthi ubesenesikhathi “eqhoqhobala” izingane ezihlala esigcemeni esingumakhelwane kwa-Q.

Izolo umsolwa uvelile enkantolo yaseMlazi lapho efike wahoxisa khona isicelo sebheyili ekhala ngokuthi akaphephile kulandela ukushiswa komuzi wakubo onamakamelo amane ngoLwesibili ebusuku.

Icala lihlehliselwe uJanuwari 28 ngonyaka ozayo.

Amaphoyisa aseMlazi akuqinisekisile ukuthi umuzi wakubo ungqongqiswe abantu abangaziwa ebusuku ngoLwesibili.

Kunecala lokucekela phansi impahla elivuliwe kodwa akekho oboshiwe.

Umphakathi wakwa-Q eMlazi kuthiwa udinwe kakhulu ngalesi sigameko sokudlwengulwa kwezingane.

Umsolwa ecaleni lokudlwengula izingane waboshwa ngoNovemba 28 nonyaka emuva kokuba enye yezingane ikhale ngobuhlungu esithweni sangasese ngesikhathi unina eyigeza.

Kuthiwa umsolwa ubezibiza izingane athi mazingene endlini.

Izingane okuthiwa uzidlwengulile ubeziheha ngemali bese egila lomkhuba.

Emuva kwalokhu kuthiwa ubezisabisa ngokuthi uzozibulala uma zisho emakhaya. Kuthiwa isikhathi esiningi ubehlala esendlini njengoba engasebenzi.

Izingane kuthiwa bezimbiza “ngomalume wazo”.

Umsolwa kuvele ukuthi ubedlwengula izingane ezineminyaka ephakathi kwemihlanu neyisishiyagalombili.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uthe kungenzeka kutholwe abanye abadlwengulwe wumsolwa njengoba uphenyo lusaqhubeka.

“Ayisithupha amacala okudlwengula avulelwe umsolwa. Uboshwe amaphoyisa aseMlazi kulandela ukubikwa kwesigameko ngoNovemba 28 nonyaka. Ngokophenyo obelusenziwa kuvele ukuthi ubelutha izingane, azithembise imali bese eyazidlwengula. Ubezisabisa ngokuthi uzozibulala uma zibika emakhaya. Uphiko lwaseMlazi oluphenya amacala athinta ukudlwengulwa nokuhlukunyezwa emndenini abophe umsolwa ekubo kwa-P eMlazi. NgoDisemba 1 nonyaka uvele enkantolo okokuqala.

Uphenyo ngezinye izigameko lusaqhubeka, okungenzeka kuvele abanye abazomangala,” kusho uZwane.

Umphakathi kuthiwa ulekelele amaphoyisa ukuze kuboshwe umsolwa.

Kwenzeka lokhu nje umkhankaso wokuvikela izingane nabesifazane, ukuba bangahlukunyezwa usaqhubeka.

Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Vukani Mbhele uthe bashaqekile ngokuthi kusekhona abantu abafana nomsolwa emphakathini.

“Kusimangaze kakhulu ukuthi kusekhona abantu abafuna ukucekela phansi impilo yezingane ngokuzihlukumeza. Siyawukhuza kakhulu lo mkhuba. UMnyango uzothumela osonhlalakahle abazokweluleka izingane nemindeni. Siyathemba ukuthi amaphoyisa nenkantolo bazokwenza konke okusemandleni ukuba uphenyo luhambe ngendlela. Umsolwa uma etholwa enecala ajeze kanzima,” kusho uMbhele.

Izingane ezithintekayo kulesi sehlo kuvele ukuthi sezijwayele ukuzivalela endlini njengoba sezihlala zinovalo.

Usobishini owe-NFP omiswe owe-IFP

$
0
0

Isenkingeni iMeya yeNFP yaseZululand ngokuqoka umholi we-IFP ukuba abe yimpelesi yayo eqavile emshadweni wayo.

|||

CELANI SIKHAKHANE

ISENKINGENI iMeya yeNFP yaseZululand ngokuqoka umholi we-IFP ukuba abe yimpelesi yayo eqavile emshadweni wayo obungempelasonto njengoba sekukhona amakhansela asefuna ixoshwe esikhundleni ngoba ethi awasayithembi ngenxa yalesi senzo.

UMnuz Mpiyakhe Hlatshwayo ubegcagcelwa uJabulisile Magudulela waseNigel, eGoli okusabalale izithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana emiswe nguDkt Cedric Xulu osezinhlakeni zobuholi be-IFP.

Lolu daba luxoxwe ngisho emhlanganweni wamakhansela eNFP obuyizolo oLundi, lapho uHlatshwayo ebhoke ngolaka ebatshela ukuthi izindaba zakhe nomndeni azihlangene nabo.

“Okokuqala kusho ukuthi laba bantu sebezongitshela ukuthi kumele ngithathe muphi unkosikazi noma bangitshele ukuthi umkami abamfuni ngoba uyiqembu elithile. Ngiyabazi laba abasho lokho ngoba banenkinga yokufuna izikhundla futhi bakhulumile nasemhlanganweni bengibuza ngalolu daba. UXulu wumngani wami omdala, sisuka kude naye ngakho akekho ozongitshela ukuthi kumele ngimeme bani uma ngishada,” kusho uHlatshwayo.

UXulu wahlubuka kuNFP ngemuva kwezinsolo zokuthi ucasulwe wukungakhethwa engqungqutheleni kazwelonke eyayiseMgungundlovu, okwalandela ngokuthi asolwe emikhankasweni yokuketula uNkk Zanele Magwaza-Msibi.

Kule mikhankaso wayesolwa ngokusebenzisana noHlatshwayo noNksz Nonkululeko Ndlela owayeyiphini leMeya yasebaQulusini emele iNFP kodwa osabuyela ku-IFP, waze waqokelwa ekuholeni uphiko lwayo lwabesifane.

“Usicasule kabi uHlatshwayo ngokumema uXulu ukuthi abe yimpelesi yakhe ebalulekile emshadweni wakhe. Okokuqala kade sasimvikela uHlatshwayo iqembu lifuna ukumxosha ngezinsolo zokusebenzisana noXulu ukuketula ukaMagwaza Msibi ukuze angaholi iqembu iminyaka engu-10 engaphikiswa,” kusho elinye ikhansela ebeliveva.

UXulu kukhalwa ngokuthi usemkhankasweni wokulanda amakhansela eNFP ukuze ajoyine i-IFP kanti amanye kuthiwa uwathembisa izikhundla zobuMeya njengaye uHlatshwayo.

Abazwelana noHlatshwayo baveze ukuthi uhleli lubhojozi ngoba kukhona abacabanga ukuthi njengoba uKaMagwaza Msibi ayeyiMeya futhi esuka oLundi nabo kumele kukhale isicathulo sabo kumasipala.

UXulu ethintwa uthe uyashaqeka ukuthi uHlatshwayo usengathwala icala lokuthi ubememe umngani wakhe emshadweni obuyinto yomndeni.

Uthe akukho lapho athembisa khona uHlatshwayo isikhundla sobuMeya ngoba lokho kwenziwa yizinhlaka ze-IFP futhi akakaze akhulume naye ngepolitiki ngoba bangabangani bakudala.

UNobhala Jikelele weNFP, uSolwazi Nhlanhla Khubisa uthe ziningi izikhalo ezibe khona ngoHlatshwayo ikakhulukazi ngokusondelana kwakhe noXulu.

“Nakuba kunjalo singakuqinisekisa ukuthi akusiyona into esingadala ukuba simgudluze esikhundleni yize simazi ukuthi bayizithupha ziyegwayini noXulu. Esikubheke kuye okwamanje ukuba asebenze ngokuzikhandla ahambise intuthuko kubantu,” kusho uKhubisa.


Bajabulela isinqumo sokudedelwa kwe-truvada

$
0
0

Kulindeleke ukuba lenze umehluko ekwehliseni isibalo sabangenwa yigciwane lengculazi iphilisi eliphasiswe ukuthi lisetshenziselwe ukuvikela leli gciwane, i-truvada.

|||

LUNGI LANGA

KULINDELEKE ukuba lenze umehluko ekwehliseni isibalo sabangenwa yigciwane lengculazi iphilisi eliphasiswe ukuthi lisetshenziselwe ukuvikela leli gciwane, i-truvada.

Leli philisi lihlanganisa amaphilisi amabili, i-emtricitabine ne-tenofovir disoproxil fumarate, okungeminye yemishanguzo esetshenziselwa ukuthithibalisa igciwane lengculazi, ama-Antiretrovirals (ARVs).

Inhlangano eyengamele ukusebenza kwemishanguzo kuleli iMedicines Control Council (MCC) iveze ukuthi iphasise ukusetshenziswa kwe-truvada njengephilisi elingasetshenziselwa ukuvikela igciwane lengculazi, pre-exposure prophylaxis (PrEP).

Ngokwesitatimende seMCC isinqumo sokuphasisa ukusetshenziswa kwe-truvada ekuvikeleni igciwane lengculazi sithathwe emhlanganweni obusekupheleni kukaNovemba nonyaka.

I-truvada beyisetshenziswa ukuthithibalisa igciwane lengculazi kodwa ucwaningo oluningi lukukhombise ngokusobala ukuthi ingalivikela.

Izinhlangano ezilwela amalungelo abaphila negciwane lengculazi okubalwa kuzo iTreatment Action Campaign (TAC) zisamukele isinqumo seMCC okukholakala ukuthi sekuphele iminyaka emibili silindelwe.

UMnuz Marcus Low weTAC, uthe bayasijabulela isinqumo sokuphasiswa kokusetshenziswa kwe-truvada.

Uthe leli philisi lizongena khaxa ezinhlelweni zokuvikela igciwane lengculazi.

“Leli philisi ngeke lisebenze lodwa kodwa lizongena kwezinye izinhlelo zokuvikela igciwane njengokusetshenziswa kwamakhondomu nezinhlelo zokusoka ngokwezempilo. Kubalulekile ukuthi kube nezindlela eziningi zokulwa nokusabalala kwegciwane lengculazi ikakhulu njengoba bengu-1000 abantu abathola leli gciwane usuku nosuku,” kusho uLow.

Uthe abalindele ukuthi kuzoba yiwo wonke umuntu ozofuna ukulisebenzisa.

Ngokusho kwakhe abantu abazimisele ngokulisebenzisa kufanele bazi ukuthi kuzodingeka ukuthi baliphuze zonke izinsuku.

“Ucwaningo oseluke lwenziwa luvezile ukuthi ebantwini abebelithatha ngendlela zonke izinsuku bebevikeleka,” kusho uLow. Akukacaci ukuthi lizoqala nini ukutholakala ezikhungweni zikahulumeni nokuthi uma selikhishwa lizonikwa bani, kanjani.

Inhlangano yezempilo emhlabeni wonke iWorld Health Organisation (WHO) ikhuthaza ukuthi leli philisi linikwe abantu abasengcupheni enkulu yokuthola igciwane lengculazi.

Kubalwa abantu abadayisa umzimba, abantu besifazane abasebancane njengoba kuvela ukuthi yibona abanesibalo esiphezulu sabathola igciwane lengculazi.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo kuzwelonke uMnuz Joe Maila, uthe uhulumeni usezingxoxweni mayelana nokusetshenziswa kwaleli philisi ezikhungweni zezempilo zikahulumeni.

Uthe isinqumo ngokusetshenziswa kwe-truvada sizothathwa emuva kwalezi zingxoxo okukhona kuzo nongoti bezempilo nezinye iziphathimandla.

UMaila uthe kubalulekile ukuthi balandele izinyathelo ezifanele ngaphambi kokuthi bamemezele ngokusetshenziswa kwaleli philisi.

ULow uthe kubalulekile ukuthi kuhlinzekwe i-truvada kodwa kungakuhle okwamanje uma kungaqiniswa kakhulu ekutheni kusheshe kunikwe abantu imishanguzo uma betholakala ukuthi banegciwane lengculazi.

Okwamanje abantu bathola imishanguzo uma bene-cd4 count engu-500 nangaphansi.

Sibi isimo emndenini wowabulawa eGlebe

$
0
0

Wayehlalele ethembeni lokuthi sizodlula isimo esesiholele ekubulaweni kwenqwaba yabantu ehostela owesilisa wase-Eastern Cape.

|||

LUNGI LANGA

WAYEHLALELE ethembeni lokuthi sizodlula isimo esesiholele ekubulaweni kwenqwaba yabantu ehostela owesilisa wase-Eastern Cape, ongomunye wababulawe kulo nyaka ehostela laseMlazi iGlebelands.

UMnuz Thulani ‘Commander’ Kati (40) waseNyanisweni, eMbizana, wayezitshela ukuthi kuzophela ukubulawa kwabantu kuleli hostela.

Lokhu kuvezwe ngumfowabo ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe ngoba esabela impilo yakhe.

UKati oke waba yiphini likasihlalo esitezi sakwa-P, wabulawa ephuma enxanxatheleni yezitolo eseduze kwehostela iMega City, ngo-Ephreli kulo nyaka.

Kuthiwa udutshulwe ekhanda ngowesilisa owayezimboze ubuso ngesikhathi ethi umisa itekisi eyayizomshiya ehostela.

Ngo-Okthoba nyakenye Isolezwe libike ngesigameko sokushaywa kwakhe kanzima ngamaphoyisa okuthiwa ayesesha izibhamu.

Umfowabo uthe ngaphandle kwalesi sigameko, akukho okunye obekuke kwenzeka kuye ngaphambi kokubulawa kwakhe ngaphandle kwezigameko zokubulawa kwabantu ababengosihlalo bezitezi nabantu ababesondelene nabo.

“Uma sikhuluma naye wayeke aveze ukuthi unethemba lokuthi sizolunga isimo ehostela. Ngaleso sikhathi babengakabi baningi kangaka abantu asebebulewe,” kusho umfowabo.

Ngaphambi kokubulawa kwakhe, uKati wakhuluma neSolezwe ngokungakhululeki kwabo bengabahlali ngenxa yokubulawa kwabantu ehostela.

Lokhu kwakulandela ukubulawa kukaMnuz Phumlani Ndlovu obulawe ngaphakathi ehostela ngoJanuwari kulo nyaka.

Bakhala ngokungasizi kwamakhamera ayefakwe njengengxenye yezinhlelo zokuqinisa kwezokuphepha ehostela.

UKati ubenezingane ezingu-19, ngokusho kukamfowabo lezi zingane nomndeni wakhe bezondliwa nguye.

Umchaze njengomuntu obeyithemba lomndeni wakhe.

“Nathi ngesikhathi sifika eThekwini safikela kuyena. Wakwazi ukuthi asizamele ukuze sithole amatoho. Kodwa abantu abazwela kakhulu njengoba engasekho ngabantwana bakhe. Njengoba eseshonile nje isimo sibi kakhulu ekhaya.

“Izingane zakhe bezinakekelwa nguye. Nomama wakhe ubondliwa uyena yize ebebamba amatoho engaqashiwe ngokuphelele kwaSapref. Ukubulawa kwakhe kusenze saba sibi kakhulu isimo ekhaya. Thina siyazama nje manje ukufaka esikufakayo uma isimo silungile kodwa akusivali isikhala sakhe,” kusho umfowabo.

Uthe nangosuku abulawa ngalo wayekade ephuma kokhipha imali eMega City ngethemba lokuyithumela ekhaya ukuze ifinyelele kunina. Uthe uKati ushone ekade esezinhlelweni zokwakhela unina umuzi.

Ngokusho kwakhe ubeqale ngokunweba umxhaso obekuhlala kuwo yena nonina wezingane zakhe.

Enethemba lokuthi uma kuqhubeka isikhathi usezokwakhela unina kanti kuzodlula isikhashana ashone.

Umfowabo uthe uKati ubeke asho ukuthi isimo sokuhlala lapha ehostela asisihle futhi alisiyo indawo okufanele bazitshele ukuthi kufanele baqhubeke bahlale kuyo.

Noma kunjalo ubengakaze alibeke elokuthi ucabanga ukuhamba.

Umfowabo uthe siyabakhathaza isimo saseGlebelands.

Limlahlile owanquma ingane (4)

$
0
0

Inkantolo yasoPhongolo imlahle ngamacala amane uNhlanhla Magagula ngecala lokunquma abulale uLungisani Kiki Ntuli waseNcotshane.

|||

MTHOKOZISI MANQELE

INkANTOLO yasoPhongolo imlahle ngamacala amane uNhlanhla Magagula (25) ngecala lokunquma abulale uLungisani Kiki Ntuli (4) waseNcotshane, oPhongolo.

UMagagula kubhekeke ukuba agwetshwe khona namuhla ngamacala amane okungelokuzama ukubulala, nokuthumba omunye umfanyana uLwandile Simelane (4) okuthiwa wamklinya ezimobeni zasoPhongolo kodwa waphazanyiswa ngusomatekisi wagcina engakwazanga ukumbulala ngoJuni 26, 2014.

Inkantolo iphinde yamthola enecala lokuthumba nokubulala uLungisani ngo Julayi 2014.

Ngesikhathi iMantshi uMnuz Norman Nkosi ikhipha isigwebo izolo igcizelele ukuthi ziningi izinto abazicubungulile kuleli cala nabasizi bakhe.

Ithe ecaleni lokuthumba nokuzama ukubulala uLwandile Simelane buqinile ubufakazi futhi buyaphatheka.

“Ngesikhathi ezifakazela uLwandile noma emncane ngeminyaka kodwa ukhombise isibindi sento eyamehlela eklinywa. Ibanga ahamba nalo nomsolwa besuka eNcotshane beya eMhlakeni lide kakhulu okusho ukuthi waba nesikhathi sokumbona umsolwa. NoMnuz Bhekisisa Thabede owathola uLwandile ezimobeni wafakaza kahle ngaphandle kwengcindezi. Kuyacaca ukuthi ukube akuqhamukanga muntu ezimobeni ngabe wambulala uLwandile,” kuchaza iMantshi.

Odabeni lukaLungisani, uNkosi uzwakale eseqinisa izwi egxeka udadewabo kaMagagula, uLindiwe okuwuye owabona uLungisani njengengane eyayinenkinga ifika nomsolwa kuye.

“Umsolwa wayehamba nengane wathi ilambile ifuna ukudla kodwa khona lapho wayivalela endlini yezwakala ikhala yasizwa udadewabo kamsolwa. Kwakufanele njengomama naye akwazi ukubona ukuthi ingane inenkinga aphuthume abize amaphoyisa. Kodwa khona lapho sibona ubuye adedela ingane ethi ayiphelezelwe ngezinye izingane nakuyilapho umsolwa waphinde wathola elinye ithuba lokuthumba umufi esemthatha ehamba nezinye izingane. Kungabe sinabesifazane abanjalo abangakwazi ukubona okubi okungehlela ingane,” kubhoka uNkosi.

Uthe ngesikhathi ethumba uLungisani wayeqamba amanga uma ethi le ngane yayilambile ngoba kwasanaye wayengenakho ukudla.

Ngemuva kwesigwebo uMagagula unikwe ithuba ngummeli wakhe ukuba aphawule wathi: “Ngiyaxolisa ngenza into embi nephambene nomthetho. Vele ngangingeke ngimbulale uLungisani ukube ngambulala uLwandile ngeke ngisaphinde okwesithathu.”

Ebuzwa ukuthi wayembulalelani lo mfana wathi: “Ngangifuna ukubethela umuzi wakithi ngiwenze uqine ngezicubu, ngangifuna ukuceba, ngangibhekene nezinkinga eziningi.”

Uyayikizela amajazi osephethe ezezimali

$
0
0

Izolo amehlo abaningi kade esethe njo kuNgqongqoshe wezeziMali eNingizimu Afrika omusha uMnuz David Douglas van Rooyen.

|||

ANA

BANINGI abaphoxekile ngokuxoshwa kukaNgqongqoshe wezeziMali eNingizimu Afrika uMnuz Nhlanhla Nene kodwa izolo amehlo abaningi kade esethe njo komusha uMnuz David Douglas van Rooyen.

Abaningi bazibuza ukuthi uVan Rooyen uzoqhubeka kanjani nohlelo lokwakha iziteshi ezizophehla ugesi wenuzi nokuthi ngabe ukuqokwa kwakhe kusho ukuthi usezovunyelwa ukwenza intando yakhe uSihlalo weBhodi lakwaSAA uNksz Dudu Myeni.

UVan Rooyen osevele ebhekwe ngabomvu

akucaci ukuthi wazalelwa kuphi noma uneminyaka emingaki ngokwemininingwane ekwi-website iPeople’s Assembly (www.pa.org.za).

Le website iveza ukuthi uVan Rooyen waqala ukungena kwezepolitiki ngama-1980’s ngaphansi kwezinyunyana ezihlukahlukene futhi wayeyilungu leKhutsong Student Congress.

Ubeyilungu loMkhonto weSizwe.

Ufundile kwazise une-diploma yeBusiness Management, eyeMunicipal Governance, isitifiketi seMunicipal Governance nesinye seCouncillor Development.

Uphinde abe nesitifiketi seMunicipal Finance, Economic and Public Finance neziqu zeMasters kwiPublic Development and Management.

Ubuye abe neMasters Degree ye-Economic Policy ayithole ngoDisemba 31, 2013 eNyuvesi yaseLondon lokhu kuqinisekiwe nguNkk Laura Pristch wale nyuvesi.

Ngokwe-website yasePhalamende uVan Rooyen unamasheya ezinkampanini ezintathu futhi ubuye abe ngumqondisi wezinkampani ezizimele.

Abaningi bayazibuza ukuthi ngabe uzokwazi yini ukuphatha uMnyango wezeziMali.

Okuvelayo wukuthi wayeyiMeya kaMasipala iMerafong okuyisikhundla asiphathe kwaze kwaba ngu-2009 ngaphambi kokuqokelwa ePhalamende.

Ngesikhathi eyiMeya kwakunemibhikisho eminingi abantu bengafuni ukuthi umasipala wabo ufakwe ngaphansi kukahulumeni waseNorth West. Baze bashisa umuzi wakhe ngo-2006 ngesikhathi bebhikishela izidingo.

Uhulumeni kazwelonke wagcina engawususanga eGauteng uMasipala iMerafong wawugcina ngaphansi kweGauteng wase ethatha uVan Rooyen wamfaka kuhulumeni kazwelonke.

UMnuz Mbazima Shilowa owayenguNdunankulu waseGauteng ngoLwesithathu ubhale kuTwitter wathi: “Ngiyayazi le nsizwa esinguNgqongqoshe omusha wezeziMali.

YayiyiMeya ngesikhathi nginguNdunankulu, yayingaphethe kahle yingakho yaxoshwa kusasele iminyaka emibili ngaphambi kwesikhathi.”

EPhalamende uVan Rooyen ubengagqamile kodwa kuthiwa ubeyihambela yonke imihlangano adingeka kuyo njengoba kuthiwa ubekhona ku-93% wemihlangano yangonyaka yekomiti lakhe kanti ubebakhona ku-86% wemihlangano esuke ihlanganisa wonke amalungu ePhalamende.

Osomnotho baxwayisa ngobunzima obuzayo

$
0
0

Izazi zomnotho sezixwayise abantu baseNingizimu Afrika ukuba bonge imali.

|||

BONISWA MOHALE

IZAZI zomnotho sezixwayise abantu baseNingizimu Afrika ukuba bonge imali ngoba kuza izikhathi ezinzima njengoba irandi lilokhu liqhubeka nokuntenga.

Selokhu uMengameli Jacob Zuma ememezele uNgqongqoshe omusha wezeziMali uMnuz David van Rooyen irandi lehle mawala.

Izolo isazi somnotho uDkt Azar Jammine wakwa-Econometrix utshele Isolezwe ukuthi ushaqekile ngesimemezelo sikamengameli sokuthi uNgqongqoshe wezeziMali omusha kuzoba nguvan Rooyen ekubeni uMnuz Nhlanhla Nene obephethe lesi sikhundla kade ewuqhuba kahle umsebenzi.

“Zisiphoxile lezi zindaba ngoba umnotho wethu uyantenga, ababheka ukusebenza kwamazwe balokhu bethi asenzi kahle ngakho besisamdinga ungqongqoshe ofana noNene okwaziyo ukuthi cha imali ayikho uma abantu befuna ukwenza izinhlelo zabo. Sisola ukuthi uxoshwe ngoba emise uhlelo lokuthengwa kwamabhanoyi amasha akwaSouth African Airways akade efunwa ngusihlalo webhodi lale nhlangano uNksz Dudu Myeni. Kuyaziwa ukuthi lolu hlelo lwamabhanoyi luzonothisa yena nabangani bakhe okubalwa nomengameli wezwe. Abantu kumele babophe amabhande, bonge imali ngoba ngonyaka ozayo kuzoshuba,” kwexwayisa uDkt Jammine.

Uthe iBhange loMbuso lizonyusa inzalo emalini ebolekwa ngamabhange nawo anyuse okwebolekwa ngabantu bese abampofu nabahola impesheni bathwale kanzima.

“Kafushane nje yinhlekelele ukuqokwa komuntu ongaziwa. Engikubonayo lapha wukuthi uma ungazimisele ukumosha imali, umengameli uyakuxosha. Isibonelo salokhu wukuthi kwa-SAA kwakukhona ungqongqoshe uMalusi Gigaba owayekhala ngokuphathwa kwale nkampani wavele wanikezwa omunye umnyango. Kube khona uNksz Lynn Brown naye wakhala, kwasuswa iSAA yafakwa ngaphansi koMnyango wezeziMali manje sekuxoshwa ungqongqoshe uNene,” kusho uDkt Jammine.

USolwazi Bonke Dumisa, wenkampani iDumisa Investment, uthe ukuhoxiswa kukaNene kuzokhinyabeza umnotho ngoba akekho umuntu owaziyo ukuthi kungani esusiwe kulo mnyango ngaphandle kwamahlebezi athi ubengahambisani nokumoshwa kwemali okuqhubeka kwaSAA.

“Ungqongqoshe omusha uDavid van Rooyen usekomitini lezezimali ePhalamende kodwa bancane abantu abamaziyo ngaphandle kwasePhalamende kwazise ngisho esenguSotswebhu ubengasiqhumisi isitswebhu bekungazwakali lutho nje olushiwo nguye.

Ubengelinye ilunga lephalamende ebelingalandelwa ikakhulukazi njengomuntu onguSotswebhu.

Yingakho irandi lilokhu liqhubekile nokuntenga. Kubuhlungu ukuthi ipolitiki isingena emnyangweni wezezimali obuhlonishwa kuqala futhi kungagxanjukelwa ezindabeni eziphathelene nawo,” kusho uDumisa.

Inhlangano yosomabhizinisi iSouth African Chamber of Commerce and Industry (SACCI) izwakalise ukungenami kwayo ngokuxoshwa kukaNene, yathi idinga umengameli achaze ngesinqumo sakhe esishaqisayo.

“I-SACCI ikhathazekile ngokususwa kukangqongqoshe wezezimali esikhundleni sakhe akade esasiphathe izinyanga ezingu-18 futhi enesipiliyoni esanele. Singosomabhizinisi sishaqekile ngoba izinqumo ezinjena ziba nomthelela kwezohwebo. Sisalindele ukuthi umengameli uzosichazela ukuthi ufinyelele kanjani kusona,” kusho i-SACCI.

Uthe uNene ubenesipiliyoni seminyaka engu-17 kwazise usebenze nowayengu Ngqongqoshe wezeziMali uMnuz Trevor Manuel kusukela ngo-1996 kwaze kwaba ngu-2009, wase esebenza noMnuz Pravin Gordhan iminyaka emihlanu ngaphambi kokuphatha.

Kunamahlebezi athi uNene usezoba ngusihlalo webhange lamazwe asathuthuka kwezomnotho okuyiBrazil, Russia, China, South Africa ne-India elibizwa ngeBrics Bank.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>