Seludale olunye uqhekeko udaba lwezitabane ebandleni lwakwaShembe.
|||CELANI SIKHAKHANE
SELUDALE olunye uqhekeko udaba lwezitabane ebandleni lwakwaShembe ngemuva kokuthi abaseKuphakameni sebezidele amathambo bagxeka umholi waseBuhleni inkosi Mduduzi Nyazilwezulu Shembe ngokuthi udukisa isizwe uma ithi yizo ezidala isomiso.
UNobhala Jikelele waseKuphakameni, uMnuz Thetha Ngiba, uthe nakuba bengahambisani nokuganana kwabesilisa beyibandla kodwa bayibone idukisa inkulumo yoNyazi ngokuthi lubone abesilisa abaganana bodwa beyimbangela yesomiso.
“UJehova waseKuphakameni akahambisani nobutabane ngoba buyisono ngokweBhayibheli kodwa ukuchaza amadoda aganene wodwa ngokuthi yiwo ayimbangela yesomiso lokho kuwukunhlanhlatha. Asikwazi ukuthi singabaholi singahlekisa ngesimo sesomiso esibhekene naso ezweni bese sikhomba izinto eduzane sithi yizo ezisidalile. Lokho kuwukuba ngusomathuba ukwenza izinsolo ezifana nalezi. Thina sikhuluma nje siyenyuka mhlaka 1 sibheke eNtabeni iNhlangakazi lapho siyocela khona uThixo ukuba asithethelele kuphele isomiso ngoba kuningi okuyizono okwenziwe emhlabeni. Lapha ngibala inhlonipho nokuzwana singabantu nokusondelana naye uThixo osekusilahlekele,” kusho uNgiba.
Sekuphawulwe kaningi ngentshumayelo yoNyazi eyayisola izitabane ukuthi yizo ezidale isomiso. Inkosi Phakama Shembe ehola amaNazaretha eGoli ngeledlule igxeke uNyazi ithi inkulumo yalo idicilela phansi isithunzi namalungelo abanye.
Nokho uMfu Mthembeni Mpanza owahlubuka eBuhleni, weNazareth Church of God ePinetown yena weseke uNyazi wathi konke elalikusho kuhambisana nezincwadi ezitholakala eBhayibhelini.
Umkhulumeli waseBuhleni uMfu Mhlaliseni Hlatshwayo uthe alikho iphutha ngentshumayelo yoNyazi ngisho kungathiwa izitabane zikhona ebandleni kodwa ngeke luyeke ukukhulekela ukuba ziphile impilo ejwayelekile.
“Siyabezwa abagxekayo kodwa konke okwashiwo wuNyazi kuseBhayibhelini. Mayelana nokuthi ngabe zikhona yini izitabane kwaShembe akusiyona into engingayivuma noma ngiyiphike. Engingakusho wukuthi ukhona omunye umfana ebandleni owacela uNyazi ukuba lumthandazele ngoba wayeyisitabane futhi ekhala ngokuthi abantu bafuna ukumbulala. Okunye wukuthi uma isono sikhona ebandleni akusho ukuthi uNyazi kuzomele lungashumayeli ngaso ngoba phela alwenzeli ukumema abantu ukuthi beze ebandleni kodwa lukhuluma ngezinto eziseNcwadini eNgcwele abanye abafundisi abasabayo ukukhuluma ngazo ngoba besaba ukuthi bazolahlekelwa amakholwa,” kusho uHlatshwayo.
Lolu daba lusezandleni zeKhomishini yamaLungelo eSintu. Lubikwe yinhlangano elwela amalungelo ezitabane KwaZulu-Natal.