Izikhulu zeNational Students Financial Aid Scheme zibeke eceleni u-R1.4 billion wokubhalisa abafundi ngonyaka ozayo.
|||MHLENGI SHANGASE
I zikhulu zeNational Students Financial Aid Scheme (NSFAS) zibeke eceleni u-R1.4 billion wokubhalisa abafundi ngonyaka ozayo.
Imali izofakwa emanyuvesi ukuze kuqinisekiswe ukuthi bonke abafundi abaxhaswe ngemali yesikhwama bayabhaliswa.
Okhulumela isikhwama, uMnuz Kagisho Mamabolo, uthe abafundi abaxhaswe yisikhwama ngeke bayikhokhe imali yokubhalisa ngonyaka ozayo.
Uthe besebenzisana noMnyango weMfundo ePhakeme sebeyikhiphile imali abazoxhasa ngayo amanyuvesi.
“Kunamathimba azothunyelwa kuwona wonke amanyuvesi ukusiza abasebenza emahhovisi axhasa abafundi ukuze kungabi nezihibe uma sekubhaliswa. Ithimba elaqokwa nguMengameli Jacob Zuma ukubheka indaba yokuxhaswa kwabafundi laphakamisa ukuthi abafundi abaxhaswe yisikhwama kumele bakhokhelwe imali yokubhalisa,” kusho uMamabolo.
UZuma wamemezela ukuthi ngeke inyuke imali yokufunda ngonyaka ozayo emanyuvesi emuva kwemibhikisho yabafundi.
Okhulumela umnyango, uMnuz Khaye Nkwanyana, uthe kuzobhekelwa nendaba yabafundi abakweleta imali yokufunda kusuka ngo-2013 kuya kunyaka odlule.
Uthe imali izonikwa amanyuvesi awu-26 uma kuqala unyaka wathi enye bazoyifaka uma kuqhubeka unyaka. Inyukile imali okuzoxhaswa ngayo amanyuvesi isuka ku-R7.4 billion yaya ku-R7.8 billion ngonyaka ozayo.
Izoxhasa cishe abafundi abawu-190 000 abangakwazi ukukhokha abazoxhaswa yilesi sikhwama.
UNkwanyana uthe bangaphezulu kuka-71 000 abafundi abangazange baxhaswe ngayo yonke imali eminyakeni edlule.
“Silinde ukuthi ikhomishana ezomenyezelwa nguMengameli isitshele ukuthi imali izoqhamuka kuphi. Ukhona umbiko okhuluma ngokuthi imali kumele ixhaseni nendlela okumele isetshenziswe ukuxhasa abafundi, okusele nje wukwazi ukuthi imali izoqhamuka kuphi,” kusho uNkwanyana.
UMamabolo uthe kusuka kwasungulwa lesi sikhwama sekuxhaswe abafundi abevile ku-1.5 million ngo-R50 billion.