Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Kuzoxhaswa amanyuvesi

$
0
0

Izikhulu zeNational Students Financial Aid Scheme zibeke eceleni u-R1.4 billion wokubhalisa abafundi ngonyaka ozayo.

|||

MHLENGI SHANGASE

I zikhulu zeNational Students Financial Aid Scheme (NSFAS) zibeke eceleni u-R1.4 billion wokubhalisa abafundi ngonyaka ozayo.

Imali izofakwa emanyuvesi ukuze kuqinisekiswe ukuthi bonke abafundi abaxhaswe ngemali yesikhwama bayabhaliswa.

Okhulumela isikhwama, uMnuz Kagisho Mamabolo, uthe abafundi abaxhaswe yisikhwama ngeke bayikhokhe imali yokubhalisa ngonyaka ozayo.

Uthe besebenzisana noMnyango weMfundo ePhakeme sebeyikhiphile imali abazoxhasa ngayo amanyuvesi.

“Kunamathimba azothunyelwa kuwona wonke amanyuvesi ukusiza abasebenza emahhovisi axhasa abafundi ukuze kungabi nezihibe uma sekubhaliswa. Ithimba elaqokwa nguMengameli Jacob Zuma ukubheka indaba yokuxhaswa kwabafundi laphakamisa ukuthi abafundi abaxhaswe yisikhwama kumele bakhokhelwe imali yokubhalisa,” kusho uMamabolo.

UZuma wamemezela ukuthi ngeke inyuke imali yokufunda ngonyaka ozayo emanyuvesi emuva kwemibhikisho yabafundi.

Okhulumela umnyango, uMnuz Khaye Nkwanyana, uthe kuzobhekelwa nendaba yabafundi abakweleta imali yokufunda kusuka ngo-2013 kuya kunyaka odlule.

Uthe imali izonikwa amanyuvesi awu-26 uma kuqala unyaka wathi enye bazoyifaka uma kuqhubeka unyaka. Inyukile imali okuzoxhaswa ngayo amanyuvesi isuka ku-R7.4 billion yaya ku-R7.8 billion ngonyaka ozayo.

Izoxhasa cishe abafundi abawu-190 000 abangakwazi ukukhokha abazoxhaswa yilesi sikhwama.

UNkwanyana uthe bangaphezulu kuka-71 000 abafundi abangazange baxhaswe ngayo yonke imali eminyakeni edlule.

“Silinde ukuthi ikhomishana ezomenyezelwa nguMengameli isitshele ukuthi imali izoqhamuka kuphi. Ukhona umbiko okhuluma ngokuthi imali kumele ixhaseni nendlela okumele isetshenziswe ukuxhasa abafundi, okusele nje wukwazi ukuthi imali izoqhamuka kuphi,” kusho uNkwanyana.

UMamabolo uthe kusuka kwasungulwa lesi sikhwama sekuxhaswe abafundi abevile ku-1.5 million ngo-R50 billion.


Ubongelwe yiSamwu owe-ANC eThekwini

$
0
0

Inyunyana yabasebenzi bakwaMasipala eThekwini, izidelile yabongela uNkk Zandile Gumede ngokukhethwa abe nguSihlalo we-ANC eThekwini.

|||

CELANI SIKHAKHANE

INYUNYANA yabasebenzi bakwaMasipala eThekwini, izidelile yabongela uNkk Zandile Gumede ngokukhethwa abe nguSihlalo we-ANC eThekwini ngemuva kwesikhathi eside izinhlaka zamadlelandawonye okuyiCosatu neSACP zingasho lutho.

Iphini likaNobhala weSamwu, esifundeni saseThekwini, uNkk Pretty Debruin-Shange, lithe bayaqonda ukuthi kunezinkinga kumadlelandawonye aholwa yi-ANC eThekwini kodwa bayabethemba ubuholi bukaNkk Gumede ukuthi buzolungisa izinto.

“Siyamhalalisela uNkk Gumede okhethwe njengoSihlalo weTheku futhi siyabuqonda ubunzima azobhekana nabo kodwa siyamethemba ngoba ukubeke kwacaca enkulumeni yakhe ukuthi ufuna kube nobumbano nokusebenzisana. Sibheke ukuthi ezinselelweni ezikhonaiSACP, Cosatu, Sanco ne-ANC bahole imikhankaso yokhetho lwangonyaka ozayo bebumbene,” kusho uNkk Debruin-Shange.

Selokhu kwadlula ingqungquthela ebiseMoses Mabhida ye-ANC yaseThekwini, bekungakaze kube nezilokotho ezivela kuCosatu nakuSACP njengoba kuke kwenzeke.

UNkk Debruin-Shange uthe bayazibophezela njengeSamwu ukuba baseke uNkk Gumede nesigungu sakhe ekutheni bahole i-ANC eThekwini ngaphandle kwezinkinga.

Le nyunyana iyona kuphela engaphansi kweCosatu ebiyaziwa ukuthi ihambisana noNkk Gumede.

Lokhu kuqubule izinsolo zokuthi amaphoyisa kaMasipala weTheku angamalungu ale nyunyana, avalwe ukuqapha imihlangano yamagatsha kaKhongolose ngoba kunezinsolo zokuthi ayasetshenziswa.

UNkk Debruin-Shange uthe banethemba lokuthi ubuholi bukaNkk Gumede buzokwenza umehluko kubasebenzi abakumasipala ngaphandle kokugxambukela ezintweni zomkhandlu.

UNkk Gumede unguSihlalo wokuqala wesifazane ukuhola isifunda saseThekwini kanti ungena endaweni kaDkt Sbongiseni Dhlomo othathe izintambo kuMnuz John Mchunu owayethathe kuMnuz Bheki Cele.

UNkk Gumede ubenguMgcinimafa we-ANC ngaphansi kukaDhlomo.

Baminze sebethengelwe ezikaKhisimusi

$
0
0

Kuqhume isililo emndenini wakwaGumede eMalende, KwaDukuza kulandela ukuminza kwezingane zandawonye ebezidlala emfuleni.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

KUQHUME isililo emndenini wakwaGumede eMalende, KwaDukuza kulandela ukuminza kwezingane zandawonye ebezidlala emfuleni ngoMsombuluko.

Kuzobe kuwuKhisimusi omnyama kulo muzi okushone kuwo izingane ezimbili u-Oluhle “Skhindi” Vilakazi (4) noNhlakanipho “Papuzi” Zulu (6), okuthiwa bezibhukuda emfuleni wakule ndawo owaziwa ngokuthi uNgoye.

Laba bafanyana kuthiwa babevakashele omunye ugogo wabo kwaMthethwa bethi bayobona isihlahla sikaKhisimusi.

Kuthiwa bafike banyenya baya emfuleni nomunye umfana oneminyaka eyisithupha.

Uthe esebuyela ekhaya umfana osindile, watshela abadala ukuthi laba abedlala nabo bangene “phakathi” emfuleni bangabe besaphuma.

Kuphume wonke amalungu omndeni eyobabheka batholwa becwile phansi emfuleni.

Laba bafana kuthiwa bakhishwe ngamanye amalungu omndeni emfuleni sebengasanyakazi.

Abazali babo uNksz Slindile Gumede (22) ongunina ka-Oluhle noNksz Sindi Gumede (38) ongunina kaNhlakanipho, kuthiwa bazibonele izingane zabo zikhishwa emfuleni.

Noyise bezingane kuthiwa nabo bebekhona.

Ngesikhathi izingane zikhishwa, kuthiwa bazibambile bezama ukuba ziphefumule kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Isililo kuthiwa siqhume kuwo wonke umuntu obesemfuleni, bebuka izidumbu zezingane zikhishwa.

Isolezwe izolo lihambele umndeni wakwaGumede, isimo sibonakala ukuthi simuncu.

Isililo besizwakala uma kungena omakhelwane bezobhonga emswaneni ngalesi sehlo.

Unina omncane walezi zingane uNksz Nondumiso Gumede uthe namanje abakholwa ukuthi izingane ebese zihlelelwe konke ngoKhisimusi zishonile.

“Kungathi yiphupho konke lokhu okwenzekile. Kusenzima ukukholwa ukuthi izingane ngeke zisazigqoka izimpahla ezintsha zikaKhisimusi ebezithengelwe zona. Zihambe ekhaya ngoMsombuluko ziyodlala singazi ukuthi ngeke zisabuya. Kumanje onina bazo sengathi basaphazamisekile emakhanda ngoba abakukholwa konke lokhu okwenzekile,” kusho uNondumiso.

U-Oluhle bekumele ayoqala uGrade R, uNhlakanipho ubeyoqala uGrade 1 ngonyaka ozayo.

U-Oluhle kuvele ukuthi uke wagwiliza kuwo lo mfula emasontweni amabili adlule kodwa ezinye izingane zikwazile ukumkhipha wasinda.

Ugogo walezi zingane uNkk Fikile Gumede uthe uKhisimusi umnyama kuleli khaya ngenxa yesimo esibavelele.

“Sihlukumezekile kakhulu ngalesi sigameko. Besingalindele ukuthi ngalesi sikhathi sikaKhisimusi singadumala ngale ndlela. Sifisa sengathi nakulo mfula okwenzeke kuwo isigameko kungavalwa ukuze ezinye izingane zizophepha. Besithembe lukhulu kubazukulu,” kusho uNkk Gumede.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Nqobile Gwala uthe kuvulwe idokodo ngokushona kwalezi zingane.

“Ngokophenyo olusenziwe amaphoyisa, izingane ezimbili zabafana bezibhukuda nezinye izingane ngoMsombuluko ngo-4 ntambama. Zibe seziminza. Amaphoyisa aKwaDukuza avule idokodo ukuze kutholakale izimo eziholele ekushoneni kwezingane,” kusho uGwala.

Ikhansela lakule ndawo uNkk Nomonde Mthethwa lithe kumanje basebenza kanzima ukuze lo mfula ungaphinde “ubulale” ezinye izingane.

“Sishaqekile kakhulu ngokwenzekile ngoba ayikho ingane esike yashona kulo mfula. Sibone ukuthi usuphenduke idamu ngoba amanzi aqoqelene.

“Ngilusukumele udaba. Kumanje ngibize izimoto zikamasipala ukuze zizozama ukuvula umfula amanzi ekwazi ukuhamba. Asifuni lokhu okwenzekile kuphinde futhi,” kusho uNkk Mthethwa.

Umndeni uthe izingane kungenzeka zifihlwe ngoMgqibelo.

Izingozi sezidlule no-725

$
0
0

Zilokhu ziqhubeke njalo izingozi zomgwaqo eNingizimu Afrika esezidlule nemiphefumulo ewu-725 selokhu kuqale uDisemba.

|||

BONISWA MOHALE

ZILOKHU ziqhubeke njalo izingozi zomgwaqo eNingizimu Afrika esezidlule nemiphefumulo ewu-725 selokhu kuqale uDisemba.

UNgqongqoshe wezokuThutha eNingizimu Afrika, uNkk Dipuo Peters, unxuse abantu ukuba balandele imithetho yomgwaqo ngoba izingozi eziningi zidalwa ngabantu abagijima ngesivinini esiphezulu futhi abashayela bedakiwe.

“Izingozi esinazo zingaphezu kwesasinazo ngonyaka odlule. Sicela abantu bakithi babekezelelane emgwaqweni balandele yonke imithetho esiyibekile. Sicela bangalokothi baphuze utshwala ngoba ucwaningo luveza ukuthi izingozi eziningi zidalwa ngabantu abasuke bephuzile. Ngeke sibe semigwaqeni emikhulu kuphela kodwa sizobe sikhona nasemalokishini sibavalela abaphuza esidlangalaleni,” kusho uNkk Peters.

Izolo kushone ingane eneminyaka eyisithupha ngesikhathi iveni litholana mahlanze neloli emgwaqeni u-N3 eHowick, KwaZulu-Natal.

Ngokwesitatimende sabakwa-ER24 bathe uma befika endaweni yesigameko bathola isidumbu sengane silimele kanzima. Kuthe uma bephenya bathola ukuthi iphume evenini yayoshayeka phansi.

Abanye abantu abathathu babe nemihuzukwana baphuthunyiswe esibhedlela iLife Hilton.

Khonamanjalo, kulimale abantu abawu-13 ngesikhathi kushayisana itekisi nemoto encane emgwaqweni u-N11 ojikela eNgogo.

Ngokusho kukaNkk Chitra Bodasing, obhekelele ezokuxhumana kwa-ER24, abasebenzi bezimoto eziphuthumayo bafike abantu behlezi onqenqemeni lomgwaqo benemihuzukwana abanye belimele kanzinyana. Umshayeli wetekisi ulimele kanti owemoto encane usindile. Ayaziwa imbangela yalezi zingozi. amaphoyisa asaphenya.

Kwenye ingozi kushone abantu abane kwalimala kanzima abanye abane kushayisana izimoto ezimbili emgwaqweni uN1 eduze kwaseHeuningspruit, eFree State. UNkk Bodasing uthe bafice abantu abane bevaleleke emotweni bengakwazi ukuphuma. ngebhadi akukho obekungenziwa ngabasebenzi bezimo eziphuthumayo njengoba bese bevele sebeshonile. Emotweni uthe bekunowesifazane namadoda amathathu.

“Izicishamlilo zisebenzise izindlawu ukutakula abantu abane. Baphuthunyiswe esibhedlela ngebhadi abebekwenye imoto sibafice sebevele beshonile. Okwamanje kayaziwa imbangela yengozi kodwa amaphoyisa ayaphenya,” kusho uNkk Bodasing.

Besinyantisa igazi isihluku kophelayo

$
0
0

Awukho unyaka ogoqwa ungazange ube nezigemegeme zawo.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE noS’MANGELE ZUMA

AWUKHO unyaka ogoqwa ungazange ube nezigemegeme zawo, nakulo nyaka kube neziningi ezinyantisa igazi zokubulawa ngesihluku kwabesifazane namaphoyisa abebulawa yizigebengu esemsebenzini.

Kusukela ekuqaleni konyaka amaphoyisa abephansi phezulu ethungatha abasolwa ngokubulala izithandwa zabo njengoba zibe ningi kakhulu izigameko zababulawa yizithandwa zabo.

nZisuka nje ngoJanuwari owesifazane watholwa ebulewe ehlathini ngaku-Orthman Road, eMgungundlovu. Eduzane kwesidumbu sakhe kwakukhona esinye sowesilisa owayezikhungile. Kusolwa ukuthi lo wesifazane wayenobudlwelwane nalo wesilisa. Kwakunezinsolo eziqinile ukuthi wambulala wabe esezikhunga. Uphenyo lwamaphoyisa ngalesi sigameko luyaqhubeka.

nKwesinye isigameko esashaqa abaningi esenzeka eBiva, eJozini, ingane yentombazane eneminyaka eyisikhombisa yatholwa ingcwatshwe engcwabeni elingashoni. Kwaboshwa abafana ababili abaneminyaka engu-10 ngesigameko. Ngesikhathi Isolezwe libika udaba, kwavela ukuthi laba bafana baqala ngokuyidlwengula intombazane. Udaba lusesenkantolo.

nNgoMashi nonyaka uNksz Gugulethu Gwamanda watholwa ebulewe emotweni yakhe. nUthishanhloko wesikole saseMaqongqo uNkk Nokuthula Magwenyana wabulawa ngesihluku naye esemotweni yakhe ngo-Agasti. Waklajwa kanzima, kwasolwa umbango wesikhundla ngokubulawa kwakhe. Kuze kube manje kusaphenywa ngaleso sigameko. Amaphoyisa akhipha umehlokaboni ka-R50 000 ukuze kuboshwe abasolwa.

nNgo-Agasti kwavungama izwe lonke ngemuva kokuvela kwemibiko yokubulawa ngesihluku kowayephila nebala elimhlophe uNksz Thandazile “Nanana” Msweli (20) waseManguzi, isidumbu sakhe esatholwa siyizicucu sigqitshwe eduze komgwaqo. Ngemumva kophenyo lwamaphoyisa kwatholakala ukuthi uNksz Msweli wabulawa ngenxa yenkolelo yokuthi izicubu zabantu bebala lakhe zenza umuthi wengcebo. Ngemuva kwalesi sigameko kube nemikhankaso kazwelonke yokuqwashisa imiphakathi ngabantu abaphila nebala elimhlophe. Indawo iManguzi yaba sematheni, nezikhulu zikahulumeni zafinyelela khona ukuyokhalisa umndeni okwehlisa amaphaphu kwabanye abaphila nebala elimhlophe abase besaba ukwenzakaliswa. Kwagince kuboshwe abalisa abane okubalwa kubo nomfundisi waseZayoni uMnuz Bhekukufa Gumede (65) okusolwa ukuthi nguye owakhipha umyalelo wokuthi akubulawe uNksz Msweli. Omunye umsolwa owayeneminyaka engaphansi kuka-18 wagcina ededeliwe. Abasolwa ababili okunguMandla Mabuza noLindokuhle Khumalo abaneminyaka ewu-19 bagwetshwa iminyaka ewu-20 ngemuva kokuvuma icala kepha uGumede usesesitokisini, usaliphika icala.

nNgawo u-Agasti uNksz Mbali Myeza (22) wabhokodwa yisoka lakhe ngommese maqede lamfihla ngaphansi kombhede. UMbali waseFolweni kwavela ukuthi wayenezinyanga ezimbili ethandana naleli soka. Umsolwa kuthiwa washayela ucingo izihlobo zakhe ezitshela ukuthi ufake intombi yakhe phansi kombhede ngemuva kokuyibulala. Yatholwa isishonile. Umsolwa wazinikela emaphoyiseni, waboshwa.

(Iqhubeka ekhasini 11)

Isexwayiso ngotshwala ezinganeni ngoKhisimusi

$
0
0

Kuxwayiswa abazali ukuthi babheke izingane zabo zingacwili ezinkambini zikaFaro ngamaholidi kaKhisimusi.

|||

ZANELE MTHETHWA

KUXWAYISWA abazali ukuthi babheke izingane zabo zingacwili ezinkambini zikaFaro ngamaholidi kaKhisimusi, okuwumkhuba ojwayelekile wokuzijabulisa.

Njengoba ngalezi zinsuku ziziningi izindlela zokujabula, kuthiwa abazali benza iphutha lokuba budebengu ngokuvumela izingane ziphuze utshwala, okungenza zingaphinde zibuyeke.

Kuvela ukuthi phezu kokuba uhulumeni eqinisa imithetho ukuvikela izingane ezingaphansi kweminyaka engu-18 ezingadayiselwa utshwala, indaba yonakala emakhaya ngoKhisimusi.

UNkk Nomagugu Ngobese wenhlangano iNomkhubulwane Cultural Institute futhi oyisazi sezamasiko, uthe wukufa kwezwe okwenza ukuthi kuvunyelwe utshwala nasezinganeni ngoKhisimusi.

“Ziningi izinto ezonakele eziqale ukwenziwa ngoba kuthiwa kujatshulelwa uKhisimusi. Umkhuba wokuphuzisa izingane awukho emadolobheni kuphela kodwa nasemakhaya kuyabhujwa. Akumele kube nosuku lapho kuvunyelwa khona izinto ezibhedayo ezinganeni ngoba ziyoqhubeka noma sekudlule uKhisimusi,” usho kanje.

Uveze ukuthi ngokwesintu utshwala abuvumelekile ezinganeni noma ngabe yiluphi usuku.

Ukhale nangabesifazane abacwila kakhulu ezinkambini ngoKhisimusi wathi lokho kwehlisa isithunzi nokuhlonishwa kwabo.

Ikhwelo lokunqanda utshwala ezinganeni lihlatshwe nanguNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo, onxuse intsha ukuthi igweme izinto eziphambene nesikompilo.

“Amaholidi kaKhisimusi asho ukuthi intsha izoba nesikhathi esiningi abanye banganakwa bagcine benza izinto eziphambene njengophuzo oludakayo. Utshwala nezidakamizwa kunomthelela omubi okwenza kube lula nokuthi asebedakiwe baye ocansini bengazivikelile. Utshwala bunomthelela omubi nasempilweni yomuntu yingakho kumele bugwenywe. Utshwala nocansi olungavikelekile kungashintsha impilo yomuntu unomphela,” usho kanje.

Uphiko lwabesifazane kwi-IFP luxwayise amantombazane ukuthi abugweme utshwala ngamaholidi ukuze angaholeleki ophathe.

Isitatimende esikhishwe nguSihlalo uNkk Thokozile Gumede sithe uphuzo ludla lubi emantombazaneni ngamaholidi, amanye agcine ethandana namadoda amadala.

UNkk Gumede uthe kumele kube ngabantu abadala ababheka izingane ukuthi zingakwenzi okuphambene.

“Ukuphuza ngokweqile kuba sengathi ukuzijabulisa okwesikhashana kodwa kugcina kuphuma esandleni. Sekuyisikhathi sokuthi sikhulume ngalo mkhuba ngoba abanye bagcina sebenza okubi,” kusho yena.

Kwenzeka lokhu nje uhulumeni uyaqhubeka nokuqinisa imithetho ukuvikela izingane nentsha otshwaleni njengoba kunomthetho ohlongozwayo wokuthi amathaveni angasondelani nezikole nezinye izindawo zomphakathi.

Zigcwele iTheku lonke izigebengu

$
0
0

Zibhokile izigebengu njengoba kungamaholidi abantu betheleke ngobuningi eThekwini.

|||

S’MANGELE ZUMA

ZIBHOKILE izigebengu njengoba kungamaholidi abantu betheleke ngobuningi eThekwini.

Lezi zigebengu ziphansi phezulu zifuna umuntu “ozolahla”, ozonganaki ngesikhathi zigasela kuye.

Okhulumela amaphoyisa aseThekwini, uConstable Zanele Khomo, ukhiphe uhlu lwezindawo abantu okumele baqaphele kakhulu uma bekuzo.

n Amarobhothi: Abantu abaqinisekise ukuthi abakhulumi isikhathi eside namaselula uma besemarobhothini ngoba izigebengu zibheke kakhulu amaselula nezikhwama. Qinisekisa ukuthi isikhwama sakho usibambe ngqi noma sibe lapho okwaziyo ukusibona khona.

n Izitolo: Ungasifaki isikhwama sakho enqoleni, azi ukuthi akubona bonke abantu abazele ukuzothenga esitolo. Kungathatha izigebengu isikhashana ukuntshontsha isikhwama sakho.

n Imishini yokukhipha imali (ATM’s): Kumele uhlezi uqaphile uma usemshinini wokukhipha imali. Ungaceli umuntu ongamazi ukuthi akusize, cela umuntu osebenza khona. Ungavumi ukuhamba nokukhulunyiswa umuntu ongamazi ngoba kungaba yisigebengu esifuna ukukubamba inkunzi.

n Izimoto: Izinto zakho ezibalulekile mazingahlali obala noma zibonakale emawindini. Uma imoto yakho ivalwa nge-alarm qiniseka ukuthi izicabha zivalisisekile.

n Emabhishi: Qiniseka ukuthi izimpahla zakho zigadwe yilungu lomndeni noma umuntu omaziyo.

Qaphela uma uhamba ekhoneni likaDkt. Pixley KaSeme (West Street) no Joe Slovo (Field Street) njengoba kunezikhalazo zokuthi kunabalisa abama khona belindele ukuphuca abantu amaselula nezikhwama ngokubasabisa ngemimese.

UNksz Sthabile Dube (28) waseMlazi, othi wake wazibonela ngo-si umuntu ebanjwa kule ndawo, uthe lezi zigilamkhuba zinobuchule ngoba zikwenza lokhu ngokuphazima kweso kungaboni bantu abaningi.

“Omunye usisi engangimlandela wabanjwa ngubhuti engangizitshela ukuthi uhamba naye ngendlela ayemncike ngayo kanti usemkhombe ngommese wamphuca iselula. Laba bantu bavele baphele emehlweni bangabaleki ngoba bayazi ukuthi bazojahwa bashaywe. Babaqedile abantu emarobhothini, yingakho mina sengihamba ngisibambe ngqi isikhwama sami ngenze nesiqiniseko sokuthi uziphu wesikhwama ubheke ngakumina,” kusho uNksz Dube.

Uthe kuyenzeka abantu babone uma kukhona obanjwa inkunzi kodwa bazithulele ngoba besabela impilo yabo.

Umgwaqo uMahatma Gandhi, (Point), nawo ungomunye okuthiwa uhamba phambili eThekwini ngobelelesi.

Lo mgwaqo udume nangokusabalala kokudayiswa kwezidakamizwa.

Uphinde ube nemigwaqo emincane ekhuphukela ebhishi lapho izigebengu zibalinda khona abanqamula khona.

Nasesiphithiphithini saseMakethe izigebengu zisabalele. Abantu kumele bahlale beqaphile.

Ubengazethembi othole o-A (8)

$
0
0

Ubeselilahlile ithemba lokuthi angake athole o-A kuzona zonke izifundo azenzayo umfundi waseVelabahleke High.

|||

MHLENGI SHANGASE

UBESELILAHLILE ithemba lokuthi angake athole o-A kuzona zonke izifundo azenzayo umfundi waseVelabahleke High, eMlazi, uLwandile Mpangase (15), ngenxa yokuthi abanye ozakwabo bebephasa kahle kunaye.

Kodwa kuphenduke amatafula njengoba kunguye obaqwaqwade bonke emakhanda kulesi sikole wabuya no-A abayisishagalombili.

Uthole o-A kuzona zonke izifundo okuyisiZulu, English, Maths, Life Orientation, Accounting, Physical Sciences, Computer Applications Technology neLife Sciences.

“Bese ngililahlile ithemba ngoba abanye bebephasa kahle kodwa ngazitshela ukuthi ngeke ngihluleke uma ngizimisela. Bengifunda ngokuzimisela esikoleni ngiphinde ngifunde nasekhaya ntambama. Besingena ngo-5.45 ekuseni siphume ngo-6.30 ntambama kanti lokhu kusizize kakhulu ngoba kungenze ngazibona ukuthi ngizomuka nawo lo matric,” usho kanje.

Uthe unina noyise, abangothisha, bebemgqugquzela ukuthi azikhandle yize bebebuya njalo ngempelasonto ngoba bafundisa eHarding.

Uqhube wathi kulesi sikole abafundi bathola inqwaba yo-A.

“Ngihlala eMlazi kodwa ngathi asikho esinye isikole engizofunda kusona ngaphandle kwase-VB. Siyabonga kuthishanhloko okunguye ositshela amaqiniso asitshele ukuthi uma sifuna ukuphasa kumele sifunde,” usho kanje.

Uthe ufuna ukwenza iziqu zobudokotela eNyuvesi yaseWits kulo nyaka, wathi sebelinde imiphumela yakhe ukuze bamthathe.

“Bengilindele khona o-A abahlanu hhayi kuzona zonke izifundo zami. Umatric uyaphaseka nje kodwa udinga ukuzimisela nokudela izinto eziningi. Ngafelwa yiselula ngakhohlwa iyona ngoba bengazi ukuthi ngifuna ukuphasa kahle umatric wami,” usho kanje.


Kusolwa uNkonyeni neSadtu koluka-matric

$
0
0

Amaqembu aphikisayo ne-ANCYL KwaZulu-Natal bafuna akhonjwe indlela uNkk Peggy Nkonyeni.

|||

CELANI SIKHAKHANE

AMAQEMBU aphikisayo ne-ANCYL KwaZulu-Natal bafuna akhonjwe indlela uNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni, uNkk Peggy Nkonyeni ngemuva kwemiphumela ka-matric ethele isifundazwe ngehlazo ngenxa yezinga eliphezulu lokufeyila kwabafundi.

UNobhala we-ANCYL uMnuz Thanduxolo Sabela, uthe isikhathi sokuba uNkk Nkonyeni acacise ukuthi uyabhukula noma uyahoxa esikhundleni.

Ngakolunye uhlangothi i-ANC yona imshayele ihlombe uNkk Nkonyeni ngemizamo ayenzile ukuletha izinguquko kwezemfundo nokulungisa izinkinga ebezikhona.

Umholi weDA ekomitini lezeMfundo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uNksz Mbali Ntuli, uthe sekucacile ukuthi abafundi basezandleni ezingaphephile ebuholini bukaNkk Nkonyeni ngakho sekuyisikhathi sokuba azehlise asule esikhundleni.

“UNgqongqoshe uNkonyeni uthembise izulu nomhlaba ngesikhathi kuza izivivinyo zokuphela konyaka wathi konke kuhamba kahle kodwa iqiniso lihlale obala ngemiphumela yabafundi bakamatric ukuthi ubesikhohlisa. Cishe zibalelwa ku-40% izingane ezifeyilile nokusho ingozi enkulu esinayo yentsha ezogcina inenkinga yokuthola amathuba emisebenzi. Yingakho sithi akasule kusemanje esikhundleni,” kusho uNksz Ntuli.

Ubuye wakhala ngenyunyana yothisha iSadtu wathi iyibulele imfundo yezingane ikakhulukazi lezo ezisezindaweni ezazincishwe amathuba.

UNkk Thembeni Madlopha Mthethwa ohola i-IFP ekomitini lezeMfundo esiShayamthetho, uthe nakuba bengakuqinisi ukuthi uNkk Nkonyeni akahambe kodwa ife yaphela imfundo sekukhona yena.

“Ukugxambukela kweSadtu nothisha bayo abebengafuni ukuhlala esikoleni bafundise izingane kungenye yezinto ezisidalele le miphumela esiyitholile. Akusikho ukuthi yingoba siswele ingqalasizinda ngokufeyila kwezingane kodwa siswele ubuholi obuqotho njengoba sibone izikhundla zokuqapha imfundo zinikezwa abantu abasuke bezithengile abangazi nokuthi kufundiswa kanjani. Ungqongqoshe wethu ungumuntu ongenalo nelincane iphupho ngekusasa lemfundo yethu esifundazweni yingakho izinto zonakale phambi kwakhe,” kusho uNkk Madlopha Mthethwa.

UMnuz Vikizitha Mlotshwa weNFP, uthe babevele bekhale kusuka ekuqaleni ngokuqokwa kukaNkk Nkonyeni ngoba bazi umlando wakhe ongemuhle ngesikhathi esaphethe uMnyango wezeMpilo.

“Akahambe uhlulekile ngoba neSadtu ibizenzela emnyangweni ekhona engasho lutho. Kwenzeka lokhu nje sasivele sikhala ngokufakwa kwakhe kulo mnyango ngoba siyamazi kwezeMpilo wahluleka isidana,” kusho uMlotshwa.

USihlalo wekomiti lezeMfundo we-ANC, uNkk Linda Hlongwa-Madlala uvikele uNkk Nkonyeni wathi kuningi okuhle abazishaya isifuba akwenzile ukuqondisa izinto ku-matric.

“Okokuqala ukwazile ukunqanda le nto yokukopela kwezingane njengasesifundeni uMzinyathi neLembe nokugcine kuvela iqiniso ngokuphasa kwabafundi bakhona. Okunye iSadtu sifuna ihlukane nezindaba zomnyango ngoba okwayo ngukubheka impilo kathisha. Kasiholi nayo kuhulumeni ngoba yona idlelana neCosatu ngakho kumele iqhele ezintweni zomnyango ngoba umuntu obhekene nazo inhloko yawo. Lokho sifuna kukhulunywe ngoba iSadtu igcine ikwazi ukungena emnyangweni ngenxa yokuthi kukhona abalele ebibaphaphamisa. Akumele uma kugxekwa iKZN bese iqhathaniswa neWestern Cape neGauteng ngoba thina siyisifundazwe esinezindawo eziningi ezisemakhaya,” kusho uNkk Hlongwa-Madlala.

Ubashaye emakhanda kweyabadala

$
0
0

Ukuntula imali yokuqhubeka aze afinyelele ku-matric kwamenza washiya phakathi ukufunda kwaGrade 10 (Std 8) wazama umsebenzi ukuze angahlali abhuquze ekhaya.

|||

MHLENGI SHANGASE

UKUNTULA imali yokuqhubeka aze afinyelele ku-matric kwamenza washiya phakathi ukufunda kwaGrade 10 (Std 8) wazama umsebenzi ukuze angahlali abhuquze ekhaya.

UNksz Tozini Agnes Ngcobo (49) wasoShabeni ubuyele edeskini wafunda waze waphothula uLevel 4 wemfundo yabadala i-Adult Education and Training (AET).

Izolo ube ngomunye wabantu abadala abenze kahle wahlonishwa nguNgqongqoshe wezeMfundo, uNkk Peggy Nkonyeni, noNdunankulu uMnuz Senzo Mchunu ngesikhathi kukhishwa imiphumela kamatric yaseKZN.

UNksz Ngcobo, onezingane ezimbili, ubashaye emakhanda kwi-Arts and Culture emfundweni yabadala esifundazweni.

Uthe ubevele ekuthanda ukufunda kodwa kwadingeka ashiye ngoba ingekho imali.

“Ekhaya imali yayingekho yokuthi siqhubeke size sifike ku-matric. Yingakho ngakhetha ukushiya ukuze umfowethu omncane aqhubeke ngoba kwakubiza kakhulu uma kuzomele sigibele. Ngashiya ukufunda ngama-1980s ukuze ngizame amatoho ngiziphilise,” usho kanje.

Uthe ube esenquma ukubuyela edeskini ukuze azithuthukise.

“Nginqume ukubuyela edeskini ngafunda yize sengimdala. Ngisebenza njengonompilo angiholi imali etheni yingakho ngibuyelile ukuze mhlawumbe ngenze iziqu. Ngiyajabula ngoba sengingakwazi ukwenza noma yini kusuka manje ngoba ngiphasile,” usho kanje.

Uthe kubili acabanga ukukwenza – wubuhlengikazi noma ngusonhlalakahle.

“Ngiyathanda ukufundela zombili iziqu, angikakakhethi ukuthi yikuphi engizokwenza. Sekulula manje futhi ukuthi ngenzele izingane ama-homework ngoba sengiyaboniswa encwadini. Imfundo ayikhulelwa yingakho nami ngibuyele emuva ngafunda,” usho kanje.

Unxuse intsha ukuthi isebenzise amathuba akhona ingazisoli ngomuso.

“Abantu abasha abafunde ngoba uma ungafundile awubi yilutho. Akhona amathuba avulelekile yingakho ngithi intsha ayifunde ibe noma yini eyifisayo,” usho kanje.

Uthe isikhungo abefunda kuso iSiyathuthuka Adult Centre simsize kakhulu ngokufeza iphupho lakhe.

“Kodwa kubuye kube nezinselelo ukufunda usumdala ngoba ubamba la nala. Bengiphuma emsebenzini ngigijime ngiyobeka ibhodwe. Ngishiye futhi kudingeke ngiye esikoleni,” usho kanje.

Kufeyile 60 000 eKZN kwa-matric

$
0
0

Kufeyile ngaphezulu kuka-60 000 wabafundi abebebhala u-matric KwaZulu-Natal kwaphasa abangu-98 761.

|||

MHLENGI SHANGASE

KUFEYILE ngaphezulu kuka-60 000 wabafundi abebebhala u-matric KwaZulu-Natal kwaphasa abangu-98 761.

Isifundo esifeyilwe kakhulu yiMaths ebhalwe ngabafundi abangu-85 057, kwafeyila abangu-56 792 kwaphasa abangu-28 265 kuphela.

Lezi ngezinye zezibalo ezivezwe izolo ngesikhathi uNgqongqoshe wezeMfundo uNkk Peggy Nkonyeni enaba ngokwehla kwesibalo sabaphasile esifundazweni.

Isibalo sehle saba ngu-60.7% sisuka ku-69.7% ngo-2014.

Yize ibe mibi imiphumela yalo nyaka kodwa inhloko yalo mnyango uDkt Nkosinathi Sishi noNkk Nkonyeni bathe okuhle ngukuthi kuphase abafundi obekumele baphase ngoba izinga lezivivinyo beliphezulu.

“Sizohlala ezikoleni ezingenzanga kahle, sizozivakashela zisuka amadaka siphinde sibuyele kuzona. Wonke umuntu kumele agxekwe ngokwehla kwemiphumela kusuka kuthishanhloko, isigungu alawula naso isikole kuya esigungwini sabazali,” usho kanje.

Uthe udumele ngemiphumela engabanga mihle yakwa-matric.

“Sidumele ngemiphumela yalo nyaka yingakho kuzomele sibhukule. Sizoba nohlelo oluzogxila kulezi zikole ngqo ezingenzanga kahle. Imiphumela ibe mibi nje bezikhona izinhlelo ebesinazo okubalwa nokuthatha abafundi bayohlaliswa oPhongolo ukuze bafunde,” kusho uNkk Nkonyeni.

NoNdunakulu uMnuz Senzo Mchunu uthe udumele ngemiphumela kodwa okubalulekile ngukuthi umnyango kumele ubhukule usebenze kanzima.

USishi uthe sebezogxila emiphumeleni yekota yokuqala yesikole esingenzanga kahle kunokuthi basebenzise imiphumela yangonyaka odlule.

“Besisebenzisa uhlelo lokuthi sibheke imiphumela yabafundi abebenza u-matric abasuke sebephumile kuleso sikole. Manje sizosebenzisa uhlelo lokuthi siye kuleso sikole sibheke imiphumela yekota yokuqala bese singenelela,” usho kanje.

USishi uthe nangalo nyaka bazobadudula abafundi baye kwa-matric labo abangenzanga kahle bese bebasiza.

Ukhale ngokuthi besisincane isibalo sabafundi abaduduliwe nyakenye baya kwa-matric njengoba bebengu-10 070.

“Sizokwazi ukuthi bangaki abazodudulwa kulo nyaka uma sekuvulwe izikole kodwa angingabazi ukuthi isibalo sizophinda kabili kunalesi sangonyaka odlule. Uma ubheka abafundi abaduduliwe kuphase abangu-4 765, u-1 541 uthole ama-bachelor okuyofunda enyuvesi. U-1 879 uthole ama-diploma okuyofunda ema-university of technology,” usho kanje.

Bangu-5 337 abafundi abafeyile u-matric kulabo abaduduliwe.

Isifunda esenze kabi nguMzinyathi okuphaswe ngo-46% kanti esenze kahle Umlazi okuphaswe ngo-72%.

UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga uzwakalise ukukhathazeka ngokwehla kwesibalo sabaphasile kwa-matric kulesi sifundazwe.

Uthe lesi sifundazwe yisona esinesibalo esiphezulu sabafundi wathi ukwehla kwaso kusho ukwehla kwezinga lokuphasa kuzwelonke.

“Sikhathazekile ngokwehla kwezinga lokuphasa ezifundazweni ezintathu ezinezikole eziningi ezisemakhaya okuyiKZN, Limpopo ne-Eastern Cape. Sizoya kulezi zifundazwe ngoba sikhathazekile ngokungenzi kahle kwazo,” usho kanje.

Kuzwelonke kubhale abafundi abangu-667 925, kwaphasa abangu-455 825 abaphasile kwafeyila abangu-212 100.

Amantombazane yiwona aphase kahle kakhulu uma uqhathanisa nabafana njengoba engu-243 108 aphasile kanti abafana bangu-212 717.

Ungcwatshwe emgodini awumba

$
0
0

Ungcwatshwe emgodini wethoyilethi ayewumbile egoqwe ngengubo yokulala owesilisa obese kuphele iminyaka ewu-25 abhunguka kubo.

|||

S'MANGELE ZUMA

UNGCWATSHWE emgodini wethoyilethi ayewumbile egoqwe ngengubo yokulala owesilisa obese kuphele iminyaka ewu-25 abhunguka kubo.

UMnuz Qaqambile Mithane (62) ongowokudabuka e-Eastern Cape ungcwatshwe egcekeni lalapho ebehlala khona nomasihlalisane wakhe uNksz Ngegi Dube (69) KwaNodunge, eGlendale, ngeSonto.

Lokhu kushiye umphakathi ukhathazekile uthi umndeni kaMithane uyogcina ungazanga ukuthi kwenzekani kuyena.

UNksz Dube uthe uMithane obenesifo sofuba ushone ngoMgqibelo ngemuva kokukhala ngokukhathala.

“Ubephathwa yisifuba. NgoMgqibelo sasiziphuzele wathi ufuna ukuphumula. Ngathi ngiqeda ukupheka ngazama ukumvusa ukuze adle kodwa wangavuka. Ubehonqa kepha enganyakazi. Kuze kwafika umzukulu omthintile wathola ukuthi akasaphefumuli,” kulandisa uNksz Dube.

Uthe uvele wasangana esebona ukuthi useshonile ngoba engazi ukuthi uzoqalaphi ukufuna umndeni wakhe njengoba ubengakaze agoduke selokhu bathandana.

“Ngibikele amaphoyisa athi ayikho into angangisiza ngayo ngoba uzifele. Athi angiyobika enduneni ngibone ukuthi ngimenzenjani. Ngenxa yokungabi namali ngacela ukumngcwaba egcekeni ngokushesha angaze abolele endlini,” kuqhuba uNksz Dube.

Yize kumphatha kabi ukuthi ulingcwabe ngaphandle komndeni walo isoka lakhe kodwa uthe ukhululekile ukuthi ligcine lingcwatshiwe.

“Ngisizwe wukuthi kukhona umgodi wethoyilethi abesanda kuwumba egcekeni ngamgoqa ngengubo yokulala ngamfaka phakathi ngisizwa omakhelwane. Bengingenayo imali yebhokisi noma eyasemakhazeni ngoba besiphila ngempesheni yokuguga,” kusho uNksz Dube.

Omunye umakhelwane ongathandanga ukudalulwa uthe uMithane wafika endaweni yabo kudala elusa izinkomo zabantu.

“Ibuhlungu indlela angcwatshwe ngayo. Umndeni wakhe kufuze ukuthi uyazibuza ukuthi washonaphi, kawazi ukuthi useshonile. Ubesitshela ukuthi wagcina ekhaya kuphuma uMandela ejele (1990),” kusho umakhelwane.

Induna yendawo, uMnuz Joseph Nxumalo, ikuqinisekisile ukuthi uNksz Dube walubika udaba.

“Udaba ngaludlulisela kuNdabezitha uThemba Zulu owathi kumele ngiludlulisele kwaDube okungumhlaba wabo lo angcwatshwe kuwona. Ngemuva kokuxoxisana nosihlalo wabo uKhasa Dube, bagcina bevumile ukuthi angcwatshwe. Namaphoyisa ngawathinta ukuzwa ukuthi ayalwazi ngempela yini udaba,” kusho uNxumalo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uthe amaphoyisa aseGlendale ayalwazi udaba kepha alikho icala elivuliwe.

“Amaphoyisa ayikho into ayengabasiza ngayo njengoba lo muntu ezifele. Abatshela ukuthi udaba abalubikele ikhansela elingabasiza,” kusho uZwane.

Kubhujiwe ezikoleni ezinezinkinga eKZN

$
0
0

Zidonse kanzima kumiphumela ka-matric izikole zaKwaZulu-Natal ebezihaqwe yizinkinga ngonyaka odlule.

|||

LUNGI LANGA

ZIDONSE kanzima kumiphumela ka-matric izikole zaKwaZulu-Natal ebezihaqwe yizinkinga ngonyaka odlule. Kwezinye zalezi zikole kuze kwaba nokuphazamiseka kokufunda.

Esinye salezi zikole, yiMzamo High eseNewcastle okuze kwaphoqeleka ukuthi izingane zihlaliswe emakhaya ngenxa yokushunqa kwentuthu emihhumeni eyayimbiwe ngabantu ababemba amalahle.

Ngaphambi kwalokhu kuke kwaba nokuphazamiseka futhi kulesi sikole ngenxa yesigameko sokuthi omunye wothisha ehlasele uthishanhloko ethoyilethi ngoba embuze ukuthi ufikeleni emuva kwesikhathi emsebenzini.

Ngokuthola kweSolezwe u-matric waseMzamo High uphase ngo-42% kulo nyaka, usuka ku-48% wango-2014, kanti ngo-2013 sasithole 92%.

Ngesonto elizayo kulindeleke ukuthi kuqalwe ukufunda kulesi sikole kepha abakazi ukuthi bangaki abafundi abazobuya njengoba kumanje belinganiselwa ku-28 abafundi asebebhalisele uGrade 8 walo nyaka.

Phambilini bebeba ngu-150 abafundi abasuke sebebhalisele uGrade 8 ngalesi sikhathi.

Esinye isikole esingenzanga kahle kube yiQantayi High, esePort Dunford, ngaseMpangeni esithole u-29.6%.

Sibe sematheni emuva kwesigameko sokufa kwabafundi baka-matric ababili kubangwa intombi.

Kulesi sigameko kuthiwa omunye umfundi wakhipha isibhamu wadubula wabulala uzakwabo wabe esezidubula naye.

Abafundi bahlale isikhathi esingangenyanga bengafundi.

Iqhubekile nokwehla imiphumela yesikole saseMlazi ebesaziwa ngokuthola u-100%, iVukuzakhe njengoba ithole u-62%.

Lesi sikole besisuka ku-89% ngo-2014. Ngo-2013 sasithole u-94%.

IVukuzakhe ibe sematheni kusuka ngo-2014 ngesikhathi kuvela izinkinga okubalwa kuzo ukubhikishelwa kukathishanhloko, uNksz Dori Fulela.

Esinye isikole esingenzanga kahle kube yiMandlethu High eseMawoti, eNanda, ethole u-40%.

Lesi sikole singesinye sezikole ezibe nokuphazamiseka njengoba kube nesikhathi lapho kunyamalale khona othisha abangu-27 ababesolwa ngokudunga isikole.

Izinkinga zalesi sikole kusolakala ukuthi bezithinta umbango wezikhundla.

Kuthiwa kukhona nabebengamfuni uthishanhloko ongene emuva kokushona kukaMnuz Bheki Manzi ngo-2014.

ISithabile Secondary eseMatikwe, eNanda, nayo ebe sematheni ngenxa yezinsolo zokudlwengulwa komfundi wesilisa oneminyaka engu-12, okusolakala ukuthi wadlwengulwa ngabafundi abathathu, sithole u-42%.

Isikole saseMatikwe, iMvaba Secondary, naso esibe sezindabeni ngesikhathi othisha bechitha ukubuya kukathishanhloko, ababemsola ngezinto eziningi okubalwa kuzo ukubaqhatha nabazali, ukuvala amasango ngo-7 evalela nothisa ekubeni isikole singena ngo-7.30 sona sithole u-60%.

Ngo-2013 Isolezwe libike ngesikole saseNtuzuma, iBhekisisa High, lapho othisha bahamba bayoqhinqa emahhovisi omnyango ePinetown ngoba bekhala ngokungabi bikho kwezinsiza kusebenza, ugesi, amawindi, amanzi nokunye.

Lesi sikole sithole u-32%.

Ubulawe engayibonanga eka-matric

$
0
0

Ubezoziqhenya ngemiphumela ka-matric yesikole sakhe uthishanhloko waseNdwedwe ogwazwe wabulawa.

|||

ZANELE MTHETHWA

UBEZOZIQHENYA ngemiphumela ka-matric yesikole sakhe uthishanhloko waseNdwedwe ogwazwe wabulawa ngeledlule emzini wakhe ePhola, eNanda.

UMnuz Lulama Scelo Nkohla (55), obesenguthishanhloko eBuhlebesizwe Secondary, ubulawe kusele izinsuku ezimbalwa kuphume imiphumela ka-matric abeyibhekile.

UNkohla okuthiwa ubehlale efuna isikole sakhe sizidlule zonke ewadini yakhe, watholakala emzini wakhe enamanxeba okugwazwa kwathathwa nemoto ebuye yatholakala oThongathi.

Izolo othisha nabafundi abebebhalwe umunyu, baphume ngobuningi baya enkonzweni yokumkhumbula.

Zonke izikhulumi bezigxile ekutheni isikole silahlekelwe njengoba uNkohla ebenamaphupho ngaso. Umfowabo uMnuz Sirjay Nkohla uthe umufi ngowokudabuka eMzimkhulu kodwa ubesenesikhathi eside esebenzela eThekwini. Ngesonto ashone ngalo ubengomunye wabalungiselela umngcwabo wesihlobo sakhe ebesizongcwatshwa eMzimkhulu.

“Umfowethu ubenemizi emithathu eThekwini, sahlukana naye silungiselela umngcwabo womunye umfana ekhaya, silindele ukuthi abuye ngoLwesibili. Ubezoya eThekwini ayolungisa okuthize, bese elala kweminye imizi yakhe. Ngamangala ngoLwesibili esivumelane ukuthi uzobuya ngalo engaqhamuki,” kusho yena.

Uthe bathola ucingo kudadewabo oseThekwini ethi ushayelwe ngamaphoyisa emtshela ukuthi athole imoto kamufi oThongathi.

“Savukela eThekwini sayobheka imizi yakhe, samangala sithola emzini oseNanda kugcwele amaphoyisa. Yilapho sithole khona ukuthi kutholakale isidumbu sakhe egaraji, imoto ingekho. Ubenenxeba esiphongweni okusolwa ukuthi ngelefosholo elitholakale eduze kwakhe. Ubenamanxeba okugwazwa nasemzimbeni,” kuchaza yena.

Uthe okubamangazayo wukuthi akuthathwanga lutho endlini ngaphandle kwemoto njengoba neselula itholakele.

Umndeni kamufi uzibuza nokuthi ababemhlasela baze kanjani ukuthi uzoba kumuphi umuzi njengoba ebeseMzimkhulu ngamaholidi. UMajor Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe kuboshwe uMxolisi Mchunu (27) noNtokozo Sibisi (24), abavele enkantolo yeMantshi eNtuzuma, ngoMsombuluko babekwa amacala okubulala. Icala liyaqhubeka ngoLwesibili.

Omunye wothisha baseBuhlebesizwe uMnuz Senzo Ngcobo, uthe luzoba nzima usuku lokuvulwa kwezikole ngesonto elizayo. Uthe uNkohla ubewuthanda umsebenzi nezingane, efuna izinto zenzeke ngendlela eqondile.

“Kubuhlungu ukuthi ushone engayibonanga nemiphumela ka-matric ebe ngcono kakhulu kulo nyaka. Siyaqala ukuthola izingane ezingu-14 eziphase ngoBachelor okuyinto abezoyijabulela kakhulu. Ubefuna lesi sikole sibe yisibonelo kule ward, efuna nokuthi sigcine siyiTechnical School. Kusazoba nzima ukuqhubeka ngaphandle kwakhe,” kusho uNgcobo.

UNkohla uzongcwatshwa kusasa eMzimkhulu.

Umisiwe ohlekise ngoMotshekga ku-tv

$
0
0

U-Andrew Barnes uzifake obishini ngokuhlekisa ngoNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga.

|||

intatheli yesolezwe

UMFUNDI wezindaba ku-eNCA u-Andrew Barnes uzifake obishini ngokuhlekisa ngoNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga njengoba egxekwe kakhulu ezinkundleni zokuxhumana.

NgoLwesithathu uBarnes uhlekise ngoNkk Motshekga bukhoma ngemuva kokungalibizi kahle igama lesiNgisi elithi “epitome’’.

Izakhamizi zakuleli zivele zanikela ezinkundleni zokuxhumana ngokuphazima kweso ezinye zamgxeka uBarnes ngokwehluleka ukubiza kahle igama likaNkk Motshekga.

Lesi siteshi sezindaba sithe: “I-eNCA iyazi ngokushiwo ngu- Andrew Barnes. Akwamukelekile neze lokhu akwenzile futhi izikhulu zisazolubhekisisa lolu daba. Siyaxolisa kakhulu.’’

Ngemuva kwehora uBarnes ubhale ku-twitter ukuthi: “Ngixolisa kakhulu ngengikushilo ngoNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo okumayelana nesiNgisi sakhe. Ngiyaxolisa.”

Yize exolisile abantu baqhubekile nokumnamathela ku-twitter.

U-Esethu Hasane, oyisikhulu sikahulumeni ubhale ku-twitter ukuthi: “Lo mlungu we @eNCA uthi kumele kukhulunywe noNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo ngokuthi liphinyiswa kanjani igama elithi epitome. Naye akakwazi ngisho nokubiza kahle isibongo sikangqongqoshe.”

I-eNCA ayicucuzanga yavele yammisa uBarnes khona izolo yize ebesexolisile ngesenzo sakhe wakhombisa nokuzisola.

Khonamanjalo, uKhongolose umise intatheli yephephandaba lesiNgisi uCarien du Plessis ekutheni ithamele umgubho wayo weminyaka engu-104 ohambisana neJanuary 8 Statement ozoba seNorth West ngoMgqibelo.

Isizathu sokumiswa kukaCarien wukuthi ubize abesifazane ngegama elingehli kahle elithi pantypreneurs okuwukubafanisa namayengandoda. Ukusho lokhu ngemuva kwesithombe asifake ku-twitter izolo.


Uhlelo oluzoba wusizo kubafundi

$
0
0

Abafundi abafeyile isifundo esisodwa noma ezimbili kwa-matric nyakenye nabaduduliwe bazothola usizo lokufundiswa izifundo ezinzima.

|||

MHLENGI SHANGASE

ABAFUNDI abafeyile isifundo esisodwa noma ezimbili kwa-matric nyakenye nabaduduliwe bazothola usizo lokufundiswa izifundo ezinzima okubalwa iMaths neSayensi ukuze baphase lezi zivivinyo.

Bazothola lolu sizo ngaphansi kohlelo loMnyango weMfundo eyisiSekelo oluvivinywa kulo nyaka iSecond Chance.

Ngalolu hlelo kuhloswe ukusiza abafundi abafeyilile abazochibiyela ngenyanga ezayo. Lezi zivivinyo zizophothulwa ngoMashi nonyaka. Kuzosizakala nabafundi abadudulwa kwaGrade 11 bayiswa kwa-matric ababhale izifundo ezimbalwa nyakenye nabazibhale zonke.

UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, wethule lolu hlelo eGoli kuleli sonto ukuze kusizwe abafundi abangaphumelelanga.

Bangu-212 100 abafundi abafeyile u-matric kuzwelonke, KwaZulu-Natal bangaphezulu kuka-60 000.

“Sizoqala sibanike usizo ezifundweni ezimbalwa okuyiMaths, Maths Literacy, Life Sciences, Physical Science, Geography, Business Studies ne-Economics. Kuzoba nezindawo ezimbili zokufundela esifundazweni ngasinye kanti sizokhipha nezinsiza kufundisa okubalwa amaphepha amadala ka-matric nezincwadi. Abafundi bazokwazi ukuthola ne-internet ezikhungweni ama-teachers centre. Abafundi bazobhalisa emahhovisi ezifunda uma sebebhalisela izivivinyo zokuchibiyela,” usho kanje.

Uthe abafundi abaduduliwe bona bazobhalisa ngoMashi nonyaka uma sebebhalisela izivivinyo zangoJuni.

Uqhube wathi bazohlela nokuthi kusizwe abafundi abaphila nokukhubazeka abasuke bengenzanga kahle kusukela ngonyaka ozayo.

“Ngalokhu sifuna ukusiza abafundi ukuze babuyele kwezemfundo bazithuthukise ngaphambi kokuyofundela imisebenzi. Asifuni ukubashiya ngaphandle ngoba sebefeyilile kodwa sifuna ukubasiza. Ucwaningo luveza nokuthi u-38% wabano-matric uyaqasheka kuthi u-54% wabangenawo ungaqasheki,” usho kanje.

Uthe lolu hlelo luzoba neminxa emithathu ukusiza abachibiyelayo kulezi zifundo ezifeyilwe kakhulu, ukusiza labo bafundi abadudulwa abazobhala ngoJuni nabafeyila kakhulu bangathola nethuba lokuchibiyela.

Kugxekiwe ukududulwa kwabafundi okuthiwa kungenye yembangela yokwehla kwesibalo sabaphasile nyakenye.

UMnuz Allen Thompson, oyiPhini likaMengameli weNatu, uthe abahambisani nokududulwa kwabafundi okungamele baphase ngoba lokho kwenza kube nzima uma sebekwa-matric.

Uthe kungcono ukuphinda ugrade 11 kuno-matric ngoba lowo mfundi usuke esazophinda esikoleni afundiswe.

“Uma ufeyile kwa-matric uba yinhlwa ngoba awukwazi ukuphindela emuva esikoleni ngoba othishanhloko bakhala ngokuthi kugcwele kanti uma ufeyila ugrade 11 uyakwazi ukuphindela ufunde uze uphase, kunzima ukuzifundela uma usujwayele ukubona uthisha nsuku zonke. Yingakho singahambisani nokududulwa kwabafundi okunalokho abafeyile uGrade 11 kunokudluliswa bayofeyila u-matric.”

UNksz Nomarashiya Caluza, ongunobhala weSadtu uthe kumele kuqashwe othisha ukuze kusizwe abafundi abafeyilile abangakwazi ukuphindela ezikoleni.

Indida ngoklajwe ngembazo wafa

$
0
0

Kunendida ngokufa kowesilisa waKwaMakhutha.

|||

S’MANGELE ZUMA

KUNENDIDA ngokufa kowesilisa, uMnuz Njabulo Khanyase (45), waKwaMakhutha, otholwe endlini yakhe ebivaliwe eklajwe ngembazo ekhanda, enamanxeba okugwazwa emqaleni ngoLwesithathu.

Okushaqe umndeni wukuthi ephaketheni lebhulukwe abeligqokile bathole incwadi encane ebhalwe ukuthi: “Nisale kahle, nayi iPin kababa yekhadi lasebhange.”

Amakhadi asebhange kayise kaKhanyase abehlala kuyena njengoba enesifo sohlangothi.

Bathi yize bethole incwadi yakhe yokuvalelisa nembazo eceleni kwakhe kodwa kabakholwa ukuthi ngabe uzibulele.

Udadewabo uNksz Lindi Khanyase (35) uthe bavuswe yingoduso yakhe, uNksz Sthembile Dlamini (23), ebizombheka ngemuva kokuthi ubengazibambi izingcingo zakhe.

“Umakoti uvuse ubhuti wami omncane ukuthi amphelezele ayongqongqoza endlini kamufi. Bathe beqhamuka babingelelwa yigazi ligobhoza ngaphandle kwesicabha. Umnyango namawindi wonke abevaliwe. Ubhuti omncane uxakazise elinye lamawindi laze lavuleka. Uphenye ikhethini wambona uNjabulo edindilize phansi. Kudingeke ukuthi abize amanye amadoda amsize ukuthi bagqekeze isicabha. Simthole elele phansi nembazo eceleni kwakhe. Ekhanda ubeklajiwe esiphundu, emqaleni enamanxeba amane okugwazwa,” kusho uNksz Khanyase.

Uthe namanje umndeni usazibuza ukuthi ngabe kwenzekeni kumfowabo ngoba ubengumuntu obethula futhi bekade bazi ukuthi akanazitha.

UNksz Dlamini uthe benoKhanyase babehlele ukuthi bazovukela emtholampilo ngosuku lwesehlakalo.

“Ngangimgcine ngayizolo engivakashele ekhaya waze wahambo ngo-8 ebusuku. Uthe esefika endlini yakhe wangithumelela imiyalezo yokuthi akanayo imali. Kungithusile ngoba ubehambe sivumelene ngohambo. Ebusuku bengimthumela uWhatsApp awufundile kepha wangaphendulwa. Sekuzoshaya u-5 ekuseni ngosuku afe ngalo ngamshayela ucingo ngithukuthele, ngimbuza ukuthi sisahamba, wathi yebo, waluvala ucingo. Ngemuva kwemizuzwana ngifike kubo ngamthola esefile okungenzeka ukuthi akuyena owabamba ucingo,” kusho uNksz Dlamini.

Uthe naye usadidekile ngokufa komyeni wakhe ngoba ubebukeka sengathi ungumuntu okade efile ngesikhathi bemfica ngo-5.30 ekuseni kodwa ayekade ekhulume nomuntu ayethi unguye ngaphambi kuka-5 ekuseni.

“Siyasola ukuthi ubulewe ngoba sithole iminwe enegazi odongeni eduze newindi, nekhethini beligcwele igazi,” kusho uNksz Dlamini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uthe amaphoyisa aKwaMakhutha aphenya icala lokubulala ngemuva kokuthi kutholwe owesilisa enamanxeba okugwazwa ekhanda nasemqaleni.

“Imbangela yesehlakalo isaphenywa, akukaboshwa muntu okwamanje,” kusho uZwane.

Uthwale kanzima uDhlomo eCuba

$
0
0

UDkt Sibongiseni Dhlomo kulindeleke ukuthi abuyelekuleli lungalungisekile udaba lwabafundi abafundela ubudokotela eCuba.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo kulindeleke ukuthi abuyele kuleli lungalungisekile udaba lwabafundi abafundela ubudokotela eCuba.

UDhlomo uphuthume eCuba ngoLwesibili olwedlule ngenhloso yokubheka udaba lwabafundi bakuleli abafundela ubudokotela eCuba okuthiwa sebegxile kakhulu kwezenkolo kunemfundo ebayizele.

Lokhu kulandela ukuthola kwakhe umbiko othi omunye wabafundi usebonakala sengathi usephazamiseke umqondo.

Iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iSunday Tribune liveze ukuthi kulindeleke abuye singazange silunge isimo njengoba kusuke isidumo phakathi kwakhe nalaba bafundi.

Umfundi okhulume naleli phephandaba ocele ukuba igama lakhe ligodlwe uveze ukuthi kube nokuhilizisana ngamazwi phakathi kwalaba bafundi nongqongqoshe ngoLwesihlanu olwedlule lapho bemtshele emehlweni ukuthi ngeke bawulawule umoya ongcwele ukuthi ubavuka nini.

“UNgqongqoshe ubethukuthele, utshele abafundi ukuthi bayeke ukushumayela. Uthe abagxile ezifundweni zabo ngoba lokhu yikho abakuzele eCuba. Usigqugquzele ukuthi sicabangele ikusasa lethu. Lokhu akuzange kusize ngoba laba bafundi abathandazayo yibona abaningi futhi bebengalalele. Umhlangano uphenduke inkulumo-mpikiswano. Bamtshela nokuthi esivumelwaneni abasisayina bakuveza ukuthi bangamaKrestu nokuthi okuyobasiza ukuze bangalingeki lapha uNkulunkulu vo,” kusho lo mfundi.

Leli phephandaba lithinte omunye umfundi oseCuba. Bekungaphambi kwehora lesine ekuseni eCuba kodwa bekuzwakala ukuthi abafundi bese beqala uhlelo lwabo lokukhuleka. Lo mfundi uthe kade kwaqala ukwenzeka lokhu ngoba naye ufice kwenzeka.

Umnyango wezempilo usanda kusola umfundisi webandla laseMgungundlovu iThreshing Floor Bible Church ngokungena ngomgunyathi eCuba ezoshumayeza abafundi. Ngokwalo mnyango lo mfundisi uPastor Sipho Maduna ufike ngonyaka odlule wakhulekela abafundi wase egcoba abanye ukuba babe ngabashumayeli, abapholofethi nokunye.

UDhlomo ukhale ngokuthi laba bafundi abagcini kuphela ngokuchitha isikhathi eside bekhuleka, beshumayela futhi bekhonza kodwa sebetholakala beshumayeza abantu baseCuba.

Uveze ukuthi laba bafundi sebetholakala beshumayela ezindaweni zokupaka izimoto nasemigwaqeni yakululeliyazwe.

Ukhale nangokuthi abafundi bakhokhiswa imali ukuze balethe lomfundisi eCuba.

USiphamandla Qwabe naye ongumfundi lapha ukuphikile ukuthi abafundi abasazinaki izincwadi ngenxa yokholo.

Uthe yena uzwile ukuthi umfundisi ubefikile kodwa akazange ambone. Umfundi uthe akakholwa ukuthi abafundi bamkhokhela imali yokuza eCuba ngoba imali abayitholayo ayenele.

“Bangaphezu kuka-700 abafundi abenza unyaka wesithathu kulabo abafike ngo-2012 ngakho bangasho kanjani ukuthi sichitha isikhathi sethu sithandaza kunokuthi sifunde? Akuwenzi umqondo lokhu,” kusho uQwabe.

Ibandla likaMaduna liziphikile izinsolo ezibekwe ngumnyango wezempilo. Ngesonto eledlule uMnuz Ntokozo Biyela okhulumela leli bandla utshele Isolezwe ukuthi akulona iqiniso ukuthi abafundi bakhokhela ukulethwa kukaMaduna. Uthe abafundi bakhokha ingxenye yemali yokuza kwakhe eCuba. UBiyela uthe yibo abafundi ababecele ukuthi uMaduna eze eCuba.

Uthe abafundi banezinkinga eziningi lapha futhi abakutholi ukwesekwa okuyikho ngokwezenkolo. Lokhu kugcina sekuholelele ekutheni bagcine sebenza izinto ezingalungile njengokuphuza ngokweqile nokuzinikela ocansini.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo e-KZN uMnuz Sam Mkhwanazi uthe bebengakezwa lutho oluvela ethimbeni elihambele eCuba.

UDhlomo uhambe nabeluleka ngokwengqondo.

Umsindo ngolwamabhasi eTheku

$
0
0

Kulindeleke ukuthi aqale namuhla ukusebenza amabhasi ngemuva kokuphazamiseka okudalwe ukungakhokhelwa kwabashayeli umholo kaDisemba namabhonasi.

|||

LUNGI LANGA noBONISWA MOHALE

KULINDELEKE ukuthi aqale namuhla ukusebenza amabhasi ngemuva kokuphazamiseka okudalwe ukungakhokhelwa kwabashayeli umholo kaDisemba namabhonasi.

Izolo umasipala uveze ukuthi kube nesivumelwano phakathi kwawo nabamele abashayeli bamabhasi ukuthi kubuyele esimweni esijwayelekile ukusebenza kwamabhasi.

UMnuz Mlungisi Wosiyane oyiphini lophethe izinhlelo zokuthuthwa kwabantu kumasipala, uthe babenomhlangano nabamele abasebenzi lapho okuvunyelwene ngokuthi kubuyele esimweni esijwayelekile ukusebenza kwamabhasi.

“Sibe nomhlangano nabamele abashayeli. Kuzokhumbuleka ukuthi umasipala wethembise ukungenelela ngokukhokhela umholo kaDisemba namabhonasi abasebenzi. Bezikhona ezinye izikhalo abasebenzi ababe nazo njengokuthi bafune ukwazi ngekusasa labo nokuthi bazoqhubeka baholelwe ubani. Sikucacisile ukuthi singumasipala besizibophezele ekutheni sikhokhele uDisemba kuphela. Amabhasi azoqala ukusebenza ekuseni (kusasa) namuhla,” kusho uWosiyane.

Yize umasipala bewukhiphe isitatimende esithi abanye abashayeli sebekhokhelwe, ngoLwesihlanu abashayeli bamabhasi baphinde bavala umgwaqo eMlazi bekhala ngokuthi abaholeliwe bonke kodwa batshelwa ukuthi ababuyele emsebenzini. Kuthiwa laba bashayeli bebehambele umhlangano obekubhungwa kuwo ngokubuyela kwabo emsebenzini kodwa lowo mhlangano awuzange uphethe kahle.

Ngokuthola kweSolezwe inkinga iqale sekuthiwa abasebenzi asebeholeliwe ababuyele emsebenzini.

Umshayeli ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, uthe abashayeli bavumelene ngokuthi ngeke babuyele bonke emsebenzini kube kukhona abangakaholelwa. Uthe okunye okumise ukubuyela kwabo emsebenzini ukuthi abacaciselekile ngokuthi ubani ozobaholela uma kuqhubeka isikhathi.

Izolo omunye wabashayeli, uthe bazoba nomhlangano ekuseni namuhla lapho bezothatha isinqumo ngabazokwenza. Uthe uma beqala ukusebenza ngeke kube sekuseni.

NgoLwesine umasipala ukhiphe isitatimende esiveza ukuthi bangu-400 abashayeli bamabhasi asebekhokhelwe umholo wabo kaDisemba namabhonasi. Umasipala uzibophezele ekutheni uzobaholela bonke abashayeli umholo wangoDisemba kanye namabhonasi ngoba bethi inkampani engamele ukusebenza kwamabhasi iTansnat icele usizo ngoba ithi iyashodelwa.

Esitatimendeni, uMasipala uthe uzokhokhela amaholo aDisemba namabhonasi kuphela. Abashayeli kufanele babuze kubaqashi babo mayelana nokuthi bazoholelwa ngubani uma kuqhubeka isikhathi. Uthe bewungenelela ukugwema isiteleka, ubudlelwano obuphakathi kwabashayeli nomqashi wabo uTansnat abuphelile. Le nkampani ephethwe nguMnuz Mandla Gcaba isamelwe yijoka lokukhokhela abasebenzi bayo.

Ngokwesitatimende sikamasipala zisaqhubeka izingxoxo zokuqinisekisa ukuthi abashayeli bayabuyela emsebenzini kungekudala.

Ekhuluma neSolezwe ngoLwesine, uMnuz Vuyo Mkhize obhekelele ezokuxhumana kwa-Tansnat, uthe balindele ukuzwa ngomasipala ukuthi abasebenzi sebekhokheliwe ukuze babuyele emsebenzini.

“Esigcine sikuzwa ngani wukuthi kukhona abasebenzi abangu-238 asebekhokhelwe, silindele ukuzwa ukuthi bonke abasebenzi bethu sebeyitholile imali. Ngoba bamiswe yiyona ukuba bangabuyeli emsebenzini. Uhlelo lucacile ukuthi ngumasipala ozoholela abasebenzi imali kaDisemba namabhonasi bese emva kwalokho beholelwa ngu-Tansnat,”kusho uMkhize.

Uthe nokho kuzoba nzima ukusebenza uma umasipala engabakhokheli imali obakweleta yona eyayingu-R75 million kodwa manje esibalelwa phakathi kukaR130 million no-R150 million.

Ngokusho kukaMkhize ukungakhokhelwa nguMasipala weTheku imali obakweleta yona yikho okwenza bangakwazi ukuholela abasebenzi.

‘I-KZN izothola amanye amaphoyisa’

$
0
0

Kuzokwandiswa amaphoyisa emigwaqweni yaKwaZulu-Natal ukuze kuqashwe abashayela budedengu kunqandeke nezingozi ezibulala abantu.

|||

MHLENGI SHANGASE

KUZOKWANDISWA amaphoyisa emigwaqweni yaKwaZulu-Natal ukuze kuqashwe abashayela budedengu kunqandeke nezingozi ezibulala abantu.

Yize kade kutshalwe amaphoyisa awu-26 000 ngoDisemba KwaZulu-Natal kodwa kawanele kangangokuthi kuzokwengezwa amanye awu-900.

Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezokuThutha, uMnuz Willies Mchunu, izolo enkonzweni yomngcwabo yomndeni okwashona kuwo amadodana akhona amahlanu kanye nengane engozini yomgwaqo ngoJanuwari 3 ku-N2 ngaseMkhomazi. Imoto ababehamba ngayo yashayisana neloli. Inkonzo ibisezinkundleni zemidlalo eDube Village eNanda.

Abashona engozini uMnuz Innocent Mahlangu nengane yakhe uMbali (10), Mbonisi Dlamini, Mthokozisi Dlamini, Nkosinathi Dludla noSibusiso Dlamini.

“Sakhipha la maphoyisa ukuze asethuse thina ngoba kumele size sithuswe ukuze senze okulungile. Sizokwengeza isibalo ngamaphoyisa angu-900 kulawa akhona okuyinto engabe asiyenzi ukuba abantu bashayela bangawephuli umthetho womgwaqo. Bangaphezulu kuka-229 abantu abafe ngonyaka odlule emigwaqweni, izingozi zona zingaphezulu kuka-200,” kusho uMchunu.

Uthe akangabazi ukuthi uma sekukhishwa izibalo zabafe emigwaqweni yesiifundazwe sizobe sihamba phambili.

“Ababoshwa beshayela bephuzile ngamaholidi bebengu-444 okusho ukuthi amaphoyisa abesebenza. Ababoshelwa ukweqa ijubane elibekiwe bangu-38. owabanjwa entweza wayehamba ngo-198km/ngehora. Nyakenye owaboshwa wayehamba ngejubane elingu-223.”

Uthe kwabanjwa abangu-3 800 ababengenazo izincwadi zokushayela wathi inhlekelele idalwa abantu abafuze laba emigaqweni.

“Ukuthi uyakwazi ukushayela ube ungenazo izincwadi lokho akukwenzi umshayeli. Kukhona imithetho yomgwaqo ongayazi uma ushayela ungenazo izincwadi. Bayanda abafa ezingozini okufa kuzo ujuqu inqwaba yabantu.

“Uma singabhekile lezi zingozi zizoyiqeda imindeni. Akumnandi njalo ukuyoduduza imindeni esuke ilahlekelwe ngabantu ezingozini ezifuze lezi. Ngiyazi njengoba kuza iPhasika ngisazoyokhuluma kwezinye izinhlekelele sesingcwaba abashonile. Siyacela ukuthi imiphakathi ikhulume ngezingozi ixwayise nabashayeli ngoba akumnandi njalo ukungcwaba abantu abasuke befe ngalolu hlobo ngoba kusala izintandane,” kusho uMchunu.

UMnuz Bheki Masuku, obekade ekhulumela omakhelwane, uthe ulahlekelwe kakhulu ngoba uMbonisi noDludla bebemhlangabeza uma ebuya emsebenzini.

“Ngilahlekelwe kakhulu ngoba lezi zinsizwa bezingihlangabeza uma ngehla esitobhini ngabo-10 ebusuku. Ngake ngabanjwa inkunzi ngakho bese ngithembele kubona njengoba bengibafonela bangihlangabeze,” usho kanje.

UPhumlani Thusi okhulumele umndeni wakwaDlamini, uthe bese befana nabafowabo wathi balahlekelwe kakhulu ngokudlula kwabo ngokuzuma emhlabeni.

USibusiso, obesebenza kwaVodacom eMidrand, eGauteng, ushiye emhlabeni ingoduso nezingane ezintathu. uMthokozisi yena ushiye amadodakazi amabili.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>