Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Uphumela obala ngokugula uVZ

$
0
0

UNkk Zanele Magwaza-Msibi usephumele obala okokuqala ngokugula kwakhe okwamhlasela ngoNovemba ngonyaka odlule.

|||

CELANI SIKHAKHANE

UMENGAMELI weNFP uNkk Zanele Magwaza-Msibi usephumele obala okokuqala ngokugula kwakhe okwamhlasela ngoNovemba ngonyaka odlule, nalapho echaze khona ukuthi wasinda ekufeni ngenxa yokushaywa yisifo sohlangothi.

UkaMagwaza Msibi uthumelele abezindaba incwadi ecacisa kabanzi ngesimo sakhe ebesilokhu sifihlwa kuthiwa usaphumule ekhaya.

Uthe le ncwadi yakhe akayibhali njengomholi weNFP noma njengephini likaNgqongqoshe wezeSayensi nobuChwepheshe kodwa uyibhala njengomuntu oyisakhamuzi sakuleli.

“Ngithanda ukuthi ngixolisele umndeni wami ngendlela okwasingathwa ngayo indaba yokugula kwami njengoba kungazange kubekwe izinto eziyiqiniso ngokugula okwakungihlasela. Empeleni ngashaywa yisifo sohlangothi ngisemzini wami oseNewcastle ngoNovemba 17. Ngabe sengilaliswa esibhedlela ngaba kwi-coma izinsuku eziningana.

“Odokotela base benqumile ukuthi ngingafa noma nini ngoba base benginikeze amaphesenti angu-30 kuphela okuphila, kanjalo nomndeni wami wawusulindele okwakungase kwenzeke kimi. Bese ngiwumuntu obengafa noma nini kodwa ngoNkulunkulu zenzeka izimanga zakhe.

“Kumanje ngiyazama ukubuyela esimeni ngosizo lwethimba lodokotela bami. Nakuba kunjalo ngishayekile ngokuthi ngigcine ngingasakwazi ukwenza umsebenzi wokusiza umphakathi, okuyinto esengiyenze iminyaka engaphezulu kuka-30.

“ Nakuba kunjalo kodwa isimo eqenjini iNFP ngisibhekile nazo zonke izinto ezenzeka khona, ngakho ngicela sibambaneni ngezandla, silwe nezinto ezibeka kabi iqembu lethu ukuze senze lokho okuvunwa uMthethosisekelo wenhlangano,” kusho ukaMagwaza Msibi.

Ubuye waveza nokuthi yena nethimba lakhe lodokotela basebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi uyakwazi ukubuyela eqenjini ajoyine amalungu ukuze bakhankasele ukhetho lwangonyaka ozayo lohulumeni basekhaya.

Uthe nakuba kunjalo kodwa osekuzohamba phambili kuye ukuqhuba imikhankaso yokuqwashisa abantu ngesifo sohlangothi ngoba usebubonile ubungozi baso.

Uqhube wathi unesifiso sokuhlangana nabo bonke abantu kodwa odokotela bakhe bamnqabelile nokugcine ngokuthi ahlangane nengxenye yabaholi beNdabuko ePitoli, nokuyinto eyenzeke ngo-Okthoba 2.

“Ngaleyo ndlela ngicela wonke amalungu eqembu asukume akhankasele iqembu njengoba kuyiwa okhethweni lwangonyaka ozayo.

Ngiyanithanda futhi ngiyaqinisekisa ukuthi maduze nje ngizoba nani ngizoqhubeka nomsebenzi wokusebenzela umphakathi waseNingizimu Afrika. Ngithanda nokubonga imithandazo yenu nokungeseka enikukhombisile,” kuphetha ukaMagwaza Msibi encwadini.

Selokhu agula bekungekho okhuluma iqiniso ngokugula kwakhe kusuka eqenjini nasemndenini wakhe njengoba bekuhlale kuthiwa usaphumule kodwa akukaziwa ukuthi ubuya nini.

Kule nyanga kuhlangana unyaka ukaMagwaza Msibi engabonakali emphakathini selokhu agcina esemcimbini owawusoLundi owawuhlelwe wuMnyango wakhe wezeSayensi nobuChwepheshe, ngoNovemba, owawandulela usuku aquleka ngalo watholwa wumshayeli wakhe eshayeke ngobuso phansi.

Kwaba nezinsolo zokuthi uhlukunyezwe ngabaholi be-ANC ngokuthatha umcimbi wakhe okwakubalwa kubo oNkk Peggy Nkonyeni noNkk Naledi Pandor kodwa ekugcineni kwaphikwa kwavela izinsolo zokuthi kunabaholi beqembu lakhe abasolekayo.

Lokhu kwadala ukuthi umndeni ungafuni muntu ebuholini ukuba azombona kunalokho kwavunyelwa uNkk Pandor noMengameli Jacob Zuma ukuba bazombona egula.


Usola indodana ngokusha komuzi

$
0
0

Usola indodana yakhe athi idla iwunga owesilisa oshelwe yindlu enamagumbi ayisithupha nakho konke obekuphakathi.

|||

S’MANGELE ZUMA

USOLA indodana yakhe athi idla iwunga owesilisa oshelwe yindlu enamagumbi ayisithupha nakho konke obekuphakathi.

UMnuz Sipho Nxele (63) waseHopewell, eThornville, eMgungundlovu usephoqeleke ukuthi abuyele kubo ngemuva kokuthi umuzi wakhe onezinyanga ezimbalwa wakhiwe ushe wangqongqa entathakusa yangoMgqibelo.

Uthe lezi zinsolo zakhe ziqinisekiswe nangomakhelwane bakhe abathe babephuma emlindelweni ngenkathi bebona indodana yakhe eneminyaka engu-29, iphonsa ibhomu likaphetroli ngefasitela.

Uthi benendodana yakhe bebevele bexabene, ingxabano yabo eze yaholela ekutheni ayixoshe kwakhe. Uthi bese iwuhlukumeze kakhulu umndeni.

Yize esola indodana yakhe, amaphoyisa athe asaphenya ngembangela yokusha komuzi nokuthi ngabe ushiswe ngubani.

“Ngiyasola ukuthi wayethi uzama ukungishisa nendlu ngoba ibhomu waliphonsa ngefasitela lekamelo lami. Ngenhlanhla ngangingabuyanga eMpangeni lapho engisebenzela khona. Nezingane zazilele ekhaya okuyibanga elifushane uma usuka kwami. Ukwenza lokhu nje, sekuphele izinyanga ezimbili ngamxosha ngoba sengikhathele yimikhuba yakhe. Ngibona ukuthi ubecasulwa wukuthi ubesephenduke undingasithebeni. Lo mfana usesihlukumeze kaningi siwumndeni silokhu simxolela kepha manje usefike kwangqingetshe,” kusho uNxele.

Uthe umsolwa usebange izinkinga emndenini njengoba ngo-2003 eke wasolwa ngokudlwengula amalungu amabili omndeni.

“Uma ngingabala amacala akhe kungashona ilanga. Kade aqala ukuhlukumeza umndeni nomphakathi. Useke wazama ngenyanga edlule ukucela uxolo ngokungithumelela umyalezo kwiselula yami kodwa angizange ngimphendule. Kuyimanje usengiphendule umfana ngoba sengibuyele ekhaya ngilala ekamelweni elincane. Nezingubo ngizibolekiwe ngoba akuphumanga lutho emlilweni,” kuchaza uNxele.

Enye indodana kaNxele, uMusawenkosi (25), ithe kuyacaca ukuthi umfowabo wayezama ukumbulala uyise ngoba wayazi ukuthi uyabuya njalo ngoLwesihlanu.

“Asisafuni nokumbona emagcekeni akithi. Izenzo zakhe ezobulwane. Ubaba uzame kaningi ukumbuyisela endleleni kodwa wahluleka. Into esiyibonayo wukuthi ufuna ifa likababa esaphila futhi akazimisele ngokuthola usizo lokuyeka iwunga notshwala,” kusho uMusawenkosi.

UColonel Jay Naicker wamaphoyisa KwaZulu-Natal ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseThornville aphenya icala lokushisa.

“Kusolakala ukuthi umuzi ushiswe ngumuntu ongakaziwa. Imbangela ayikaziwa futhi akukaboshwa muntu,” kusho uNaicker.

Kulamule amaphoyisa kuxabana uShembe

$
0
0

Kuphakame imimoya eNkantolo eNkulu yaseThekwini ecaleni lombango wobuholi ebandleni lakwaShembe.

|||

MLUNGISI GUMEDE

KUPHAKAME imimoya eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo ecaleni lombango wobuholi ebandleni lakwaShembe ngesikhathi ufakazi wohlangothi lwaseBuhleni uMfundisi Mbongwa Nzama ekhomba ngesandla umholi waseThembezinhle uVela “Imisebeyelanga” Shembe.

Kube nokuvungama kwakhona abanxaphayo akhombisa intukuthelo amalungu aseThembezinhle emva kokuthi uNzama ekhomba ngesandla umholi wabo.

Kuphuthume kwangena amaphoyisa ngaphakathi enkantolo ezoqapha ukuthi kungasuki uthuli lwezichwe njengoba bese kuqala imvunge ebibukeka sengathi ingaholela ekusukeni kodweshu.

Amaphoyisa abevele ekhona enkantolo kodwa ezimele ngaphandle.

“Yinkosi yethu lena, ukudelela lokhu akwenzayo akakwazi ukuyikhomba ngesandla, wenza ngathi ukhuluma nabangani bakhe,” ibizwakala ivungama inhlalisuthi yaseThembezinhle.

Into esuse umsindo wukuthi bekungasiko okokuqala uNzama uma ethula ubufakazi bakhe izolo akhombe ngesandla abhekise ngakwiMisebeyelanga.

UNzama ubesebhokisini ethula ubufakazi kwesinye isikhathi ubephoqeka ukuthi akhulume aze asebenzise izandla akhombe ngazo uma ethi ngisho amalungu ebandla ayabazi ubufakazi asuke ekhuluma ngakho, noma athi; “sonke njengoba silapha singamaNazaretha siyayazi le nto engiyishoyo.”

UNzama ubekhuluma akhombe ngezandla aze aphenduke abheke ngalapho kuhleli khona Imisebeyelanga.

Elinye ilungu lebandla laseThembezinhle elingazange lithande ukuba lidalulwe lithe kabayithandi indlela uNzama enza ngayo uma ethula ubufakazi ngoba kubukeka sengathi uyakhohlwa wukuthi Imisebeyelanga yinkosi yabo.

“Uyadelela uNzama, le nto ayenzayo icishe yasusa umsindo ngoba bekuzogcina sekuliwa, kusize khona ukuthi kungene amaphoyisa ngaphakathi enkantolo ezoqapha isimo,” usho kanje.

Ithimba labameli bohlangothi lwaseThembezinhle lithe lizokhuluma nabalingani babo baseBuhleni libacele ukuba bamkhuze uNzama ayeke indlela enza ngayo enkantolo.

UNzama ungomunye wofakazi abaqanda ikhanda bohlangothi lwaseBuhleni njengoba engusihlalo wekomiti lesigungu esiphezulu sebandla futhi obesondelene nomholi osakhothama uVimbeni “Thingolwenkosazana” Shembe.

Namhlanje, ummeli waseThembezinhle u-Advocate Archie Findlay SC kulindeleke ukuba aqede ukuhlohla imibuzo uNzama bese kubuyela ebhokisini inkosi yamaQadi uMqoqi Ngcobo isizokhuluma ngetayitela lomhlaba waseBuhleni bese liyasongwa leli cala.

Bavale umgwaqo befuna amanzi eJozini

$
0
0

Umphakathi waseMachibini, eJozini, ubuvutha ungabaselwe uthuka nenhlamba ngesikhathi ubhikisha ufuna amanzi ngodli.

|||

MTHOKOZISI MANQELE

EseJozini

UMPHAKATHI waseMachibini, eJozini, ubuvutha ungabaselwe uthuka nenhlamba ngesikhathi ubhikisha ufuna amanzi ngodli kuMasipala wesiFunda uMkhanyakude.

Lo mphakathi uqale umbhikisho ngeledlule, wahlakazwa ngamaphoyisa kanti ngoLwesibili babuye baphinda bavala thaqa umgwaqo osuka eMkhuze uya eJozini ngezinguzunga zamatshe.

Kulo mgwaqo bekubekwe izimbokodo nezingodo ibanga elingu-5km bekungadluli lutho kwaze kwaphazamiseka nabafundi ababhalayo abafike ngemuva kwesikhathi esikoleni.

Amalungu omphakathi ikakhulukazi abesifazane abebhoka ekhahlela ethi: “Sesibalekelwe ngamadoda ethu ngoba asisagezi siyanuka ngenxa yokuthi amanzi awekho. Amadoda ethu aseqonywe kodelunina ngoba thina asinamanzi sixhashazwa uMeya uVilane ehlale ezosikhohlisa ngamanga la, asisamfuni sifuna kufike uNgqongqoshe uNkk Nomusa Dube-Ncube azoxazulula le nkinga. Sekuphele izinyanga ezintathu amanzi asiwazi namathange esanikwa wona awanamanzi noma beletha imoto yamanzi ifika kanye futhi isithelele amanzi angcolile,” kubhoka bona.

Amaphoyisa abehlome ephelele kodwa awazange abenze lutho.

Elinye lamaphoyisa lize lathi maningi amacala asilele emuva ngenxa yalo mbhikisho ongapheli. Kusize ukufika kukaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho uMnuz Mike Mabuyakhulu base behlisa umoya.

Naye uke wathwala kanzima bemhhewula bembuza ukuthi ungubani, akezile yini ukuzobakhohlisa njengeMeya uVilane abefike naye.

Obehola lo mbhikisho uMnuz Bongani Mkhwanazi unikeze uhlu lwezikhalo uMabuyakhulu wathi: “Sesibhale izincwadi ezingu-17 sibhalela abaseMkhanyakude oVilane kodwa abakaze basiphendule kunalokho senziwa izilima. Lezi ncwadi sesizihambise nakwiKhomishini yamaLungelo Abantu ngoba sifuna basilekelele. Siyaqonda ukuthi kunesomiso kodwa sifuna nisifakele amanzi emathangini lawa enasinikeza wona, sifuna kuxhunywe nepayipi elisuka e-17 lize liyofika eMachibini ngoba liyavuza amanzi siwafuna aphume empompini. Mawagcwaliswe la mathangi kungenjalo sizophazamisa ukusebenza eJozini,” kubhoka uMkhwanazi.

UMabuyakhulu ulalele izikhalo wabe eseshayela ucingo uNgqongqoshe uDube-Ncube emchazela ngenkinga eseJozini.

“Sengivumelene nongqongqoshe ukuthi kuzoba nethimba eliyisipesheli elivela emnyangweni wakhe elizobhekana ngqo nenkinga yenu. Mina ngizobuya kini ngoMsombuluko ngizoninika izimpendulo kodwa ngesikhathi sisalinde lokho amanzi azofakwa emathangini njengoba nicelile ngoba mina angifani nalaba abanikhohlisayo,” kusho uMabuyakhulu.

Khonamanjalo, umholi weDA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango, uthe ngemuva kokuhambela izindawo zaseMkhanyakude, eMtuba naseHluhluwe, kucacile ukuthi abantu abawatholi nje amanzi kungenxa yenkohlakalo yokudliwa kwemali kulo masipala.

“Sithole isimo sisibi kakhulu izinkomo zabalimi ziyafa kanti kunenqwaba yamaphrojekthi aqalwe angaqedwa. Kunamapayipi agxaza amanzi sizobhalela uhulumeni kazwelonke nowesifundazwe sithi akaphenye bese kuvulwa namacala kuboshwe abathintekayo,” kusho uMncwango.

Usole ukunongwa kobufakazi ummeli

$
0
0

Ummeli wohlangothi lwaseThembezinhle ecaleni lombango wobuholi ebandleni lakwaShembe usole ufakazi wohlangothi lwaseBuhleni uMfundisi Mbongwa Nzama ngokuhlobisa ubufakazi bakhe ngezinto ezingelona iqiniso.

|||

MLUNGISI GUMEDE

UMMELI wohlangothi lwaseThembezinhle ecaleni lombango wobuholi ebandleni lakwaShembe izolo usole ufakazi wohlangothi lwaseBuhleni uMfundisi Mbongwa Nzama ngokuhlobisa ubufakazi bakhe ngezinto ezingelona iqiniso.

U-Advocate Archie Findlay SC omele uhlangothi lwaseThembezinhle oluholwa nguVela “Imisebeyelanga” Shembe utshele uNzama ukuthi uyabukhanda ubufakazi bakhe ngenhloso yokuqinisa ubufakazi bomholi webandla uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe.

UFindlay uthe uNzama uqhamuka nobufakazi obusha obungakaze buvele kofakazi asebegibele ebhokisini phambilini obubonakalayo ukuthi bukhandiwe.

Eziphendulela uNzama uthe yena usebhokisini lofakazi ngoba emele umholi wohlangothi lwaseBuhleni osakhothama uVimbeni “Thingolwenkosazana” Shembe.

“Ngenza isibopho nomholi noThingo konke lokhu engikukhuluma lapha kuyiqiniso lodwa engiyolimela ngisho phambi kukaNkulunkulu,” usho kanje.

Ubufakazi bayizolo bebugxile kakhulu osukwini okwakumele kugcotshwe ngalo uNyazi ngo-2011 emva kokukhothama koThingo.

UFindlay uthe ngobufakazi bohlangothi alumele, uNyazi lwagcotshwa kodwa abaseBuhleni bayaphika. Uthe ofakazi abaningi baseThembezinhle batshela inkantolo ukuthi ziningi izinto ezenziwa ngosuku okwakumele lugcosthwe ngalo uNyazi eziyizinkomba zokugcoba inkosi.

“Ofakazi bethu bathi uNyazi lwaphuma endlini lugqoke umnazaretha ogqokwa yinkosi yakwaShembe esuke igcotshwa futhi lwanikwa nezipho ngalolo suku,” kusho uFindlay kuNzama.

UNzama uphikile ukuthi ingubo eyayigqokwe uNyazi igqokwa ngoba kugcotshwa inkosi.

“Inkosi igqoka izingubo eziningi ezahlukene futhi ezinemibala engafani,” usho kanje.

Uthe akakho noyedwa umuntu okhonza ebandleni lamaNazaretha owaziyo ukuthi inkosi igqoka ingubo enjani uma igcotshwa.

“Kuyimfihlo esingayazi ukuthi inkosi igqoka ingubo enjani uma igcotshwa,” kusho uNzama.

Mayelana nezipho, uNzama uthe inkosi ihlale iphiwa izipho hhayi ngoba kunomcimbi wokugcoba.

“Ungeza enkonzweni yamaNazaretha noma ngabe kuthiwa iliphi iSabatha izipho zenkosi zihlale zikhona.” usho kanje.

UNzama uthe uNyazi aluzange lugcotshwe ngoba babehlonipha isivimbelo senkantolo esasifakwe Imisebe-yelanga.

Uthe inkosi uma igcotshiwe inikwa isitifiketi ngabefundisi okungazange kwenzeka kuNyazi.

Usuze wabhidlika umuzi yizimoto

$
0
0

Awusakhululekile umndeni wakwa-G KwaMashu osekuphaphalaze kabili izimoto zabhidliza umuzi, ezigamekweni ezahlukene zokujahana kwamaphoyisa nezigebengu, kwaphuma nesidumbu.

|||

ZANELE MTHETHWA

AWUSAKHULULEKILE umndeni wakwa-G KwaMashu osekuphaphalaze kabili izimoto zabhidliza umuzi, ezigamekweni ezahlukene zokujahana kwamaphoyisa nezigebengu, kwaphuma nesidumbu.

Umndeni wakwaKhoza owakhe ngasemgwaqweni kulesi sigceme, usuhlala endlini ebhodloke ikamelo okungasangenwa kulo ngenxa yokwesaba.

Esigamekweni sokuqala esenzeka ngoJuni wonyaka odlule lo mndeni wavuswa wumsindo wokuqhuma kwezibhamu amaphoyisa edubula umsolwa, imoto yakhe yaphaphalaza yayobhajwa egunjini lokuphumula.

Kulesi sigameko umsolwa washonela egcekeni esedutshulwe ngamaphoyisa.

Kwenzeke esifanayo ngo-Okthoba 20 kulo nyaka kuphaphalaza enye imoto amaphoyisa ejaha izigebengu.

UMnuz Joe Khoza uthi sebesabela ukuthi kuzogcina kuphume isidumbu kwakhe ngenxa yalezi zigameko.

Uthi bekuyizithuba zabo-5 ekuseni bezwa umsindo wokudilika kwendlu.

“Kunombhede wezingane ekamelweni elingasemgwaqweni ngenhlanhla izingane beziyogeza zilungisela ukuya esikoleni. Saphuma imoto isingene endlini kwabhidlika udonga kugcwele namaphoyisa ngaphandle,” kusho yena.

Uthe amaphoyisa ayejaha imoto yezigebengu eyagcina iphazamisa lena ebhidlize udonga.

Uveze ukuthi umshayeli wemoto engene kwakhe wayezama ukujika evika eyezigebengu kanti imoto izophaphalaza ingene endlini.

Isolezwe lifike kuvalwe ngamabhodi odongeni olubhidlikile.

Kunembobo enkulu odongeni, kwabhidlika uveranda, uthango nesango. Kusolwa ukuthi izigebengu bezintshontshe impahla okuthiwa ibisakhona emotweni eyagcina ibanjiwe.

“Sesihlala kubhodlokile kunje ngoba anginayo imali yokulungisa umuzi. Izingane azisenayo indawo yokulala ngoba sisaba ukuthi kungaphinde kuphaphalaze enye imoto,” kuchaza yena.

Uthe esigamekweni sokuqala amaphoyisa amtshela ukuthi akayobheka ukuthi yimalini enganela ukulungisa umonakalo.

Ukhombise leli phephandaba amaphepha ezitolo zokwakha ezahlukene aveza ukuthi kudingeka imali elinganiswa ku-R40 000 ukulungisa indlu.

UKhoza uthe sebeke bakhuluma nekhansela ukuthi okungenani libenzele indlela yokunciphisa isivinini emgwaqweni.

Uthi ikhansela lafika nokuzobona umonakalo lathi kungcono ukuthi umuzi unamakamelo amane ukuze ungene ngaphansi kohlelo lwe-R293 lokwakha kabusha izindlu ezindala.

Imizamo yokuthola ikhansela uMnuz Bongani Dlamini ukuthi liphawule ayiphumelelanga.

Okhulumela amaphoyisa esifundazwe, uMajor Thulani Zwane, uthe amaphoyisa ayelandela iToyota RunX emnyama esolisayo okuthe uma eyimisa yabaleka.

“Amaphoyisa ayijaha abasolwa badubula kuqala namaphoyisa aphindisela. Imoto yabasolwa yashayisana nenye eyaphaphazala yangena emzini womuntu, kwaboshwa abasolwa ababili omunye wabaleka ngezinyawo,” kusho yena.

Indida ngowe-ANC odutshulwe wafa

$
0
0

Kuqubuke indida kutholakala ilungu le-ANC laKwaMakhutha lishonile linamanxeba okudutshulwa endlini yalo.

|||

S’MANGELE ZUMA

KUQUBUKE indida kutholakala ilungu le-ANC laKwaMakhutha lishonile linamanxeba okudutshulwa endlini yalo izolo ekuseni.

UMnuz Thobani Malimela (29) utholwe ngudadewabo omdala uNksz uSthandiwe Malimela (31) oye kombheka lapho ehlala khona ngoba ekhathazwa wukuthi bamgcina ngoMsombuluko ebusuku ezolanda ukudla kwakhe ekhaya labo eliseduze nomuzi wakhe.

UMalimela kuthiwa ubulawa nje ubephansi phezulu nokwakha imizi yomxhaso endaweni.

Umndeni nomakhelwane izolo bebedidekile ngembangela yokubulawa kwakhe kepha abanye omakhelwane abangafunanga ukudalulwa, bathe kungenzeka ukuthi ubulawe ngabantu ake wabahlukumeza phambilini njengoba bemchaze njengomuntu oke wawuhlupho.

Ngesikhathi Isolezwe likhuluma nabakwaMalimela kuke kwaba nempikiswano phakathi kodadewabo, omunye engafuni ukuthi kubekwe isikibha sikaMalimela se-ANC emakhandleleni.

“Sixakekile engafiki ngoLwesibili ukuzothatha ukudla kwakhe ngoba ubedla ekhaya. Sizamile ukumthinta kodwa ucingo lwakhe belubanjwa ngowesilisa obethi akekho eduze kwakhe umshiye elele. Kuze kwaba sebusuku engafikanga okusixake kakhulu ngoba bekuqala ukwenzeka. Ngibe sengivuka ekuseni ngaqonda endlini yakhe yomxhaso ngiyombheka. Ngiqale ngangqongqoza kwangavula muntu, ngibe sengiphusha isicabha ebesingakhiyiwe ngizitshela ukuthi ulele. Ngimthole ehleli kusofa embathile kungathi ulele kodwa ngithe uma ngimnyakazisa ngamthola ebanda qa,” kusho uNksz Malimela.

Uthe ube esephuthuma kubo eyobiza amanye amalungu omndeni ukuthi azombukisa.

“Sibe sesimphenya nokuyilapho sibone khona amanxeba okudutshulwa. Ithelevishini yakhe ibikhalela phezulu. Sizwe ngomunye womakhelwane ukuthi wezwa isibhamu siqhuma kwaze kwaba kane ngoMsombuluko ebusuku ngaphambi kokuthi ezwe imoto ihamba. Kodwa uthi wayengazitsheli ukuthi sasiqhuma endlini kaThabani. Kuyimanje sisakhungathekile ukuthi ngabe ubulawe ngubani ngoba ubengenazitha,” kuchaza uNksz Malimela.

Omunye womakhelwane ongafunanga ukudalulwa uthe basola sengathi abambulele bamzumile ngoba ubengumuntu obenamandla futhi ezifikela endodeni.

“Akucaci noma ubulawele iqhaza lakhe kwezepoliki noma imisebenzi yakhe emibi abeyenza phambilini yini. Uke wahlupha lo muntu ebamba inkunzi elwa nabantu. Wayesatshwa kakhulu nje la endaweni. Yazi ufa nje besisancoma ushintsho ekuziphatheni kwakhe. Ubesengumuntu ozinikele ekusebenzeleni umphakathi. Labantu abambulele bebefuna abolele endlini ngoba uma ungena ubungazitshela ukuthi ulele,” kusho lo makhelwane.

UMajor Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa aKwaMakhutha.

Uzibulele esola inkosikazi ngokumjolela

$
0
0

Sizingqoklose ngenhlamvu sashona isikhulu sakwaToyota okuthiwa sishiye iheheba lencwadi sikhala ngokungaziphathi kahle kwenkosikazi yaso.

|||

BAWINILE NGCOBO noS’MANGELE ZUMA

SIZINGQOKLOZE ngenhlamvu sashona emzini waso e-Adams isikhulu sakwaToyota okuthiwa sishiye iheheba lencwadi sikhala ngokungaziphathi kahle kwenkosikazi yaso.

UMnuz Sandile Sithole (49) kuthiwa uzingqokloze ngenhlamvu ngoLwesibili ngezithuba zasekuseni ngesikhathi kusalindwe umndeni wakhe obusapaka imoto emnyango kuzokhulunywa ngazo izinkinga zakhe nenkosikazi.

Uze azibulale nje uke wazama ukuzikhunga ngoMsombuluko wavinjwa yingane yakhe engene ekamelweni lapho ebefuna ukuzihilela khona, yamemeza omakhelwane.

USithole oyindodana yoMfundisi wakwaMakhutha kuthiwa uzidubule kanye ngaphansi kwesilevu washona.

Kuthiwa uSithole ubekhala ngokungaziphathi kahle kwenkosikazi yakhe abethi ibimjolela udede.

Kule ncwadi kuthiwa ubale ngisho amagama ababili besilisa abethi inkosikazi yakhe ijola nabo.

USithole kuthiwa ukhale nangokuthi inkosikazi yakhe enguthisha yenza konke lokhu nje ifundiswe nguye.

Uveze ukuthi uze akhethe ukuzibulala nje ngoba ubekade ewubikela umndeni ngalezi zigemegeme zenkosikazi yakhe kodwa encengwa kuthiwa akabekezele, enzele izingane.

Kuthiwa bekuhlale kuba nemihlangano kuzokhulunywa ngodaba lokungaziphathi kahle kwenkosikazi kaSithole kodwa kube nhlanga zimuka nomoya.

USithole kuthiwa ubuye wakhala nangomkhwekazi wakhe athe uvuna indodakazi yakhe.

Lesi sigameko sishiye omakhelwane beshaqekile njengoba laba besanda kufika kulo muzi oyisitezi okuthiwa awukakapheli ukwakhiwa.

“Simangele ngoba bayazifikela, besibabona bewumndeni ohleli kahle singasoli lutho olubi. NgoMsombuluko sazama ukumncenga ukuthi angazibulali ngemuva kokubizwa yingane yakhe emthole ezama ukuzikhunga ekamelweni. Bekucaca ukuthi isinqumo usesenzile ngoba wayengezwa mshini, ekhala mi izinyembezi. Sagcina sikwazile ukumthoba umoya sacela alinde umndeni wakhe ukuze akhulume nawo,” kusho umakhelwane.

Lo makhelwane uthe uSithole akalindanga nokukhuluma nomndeni wakhe ngoba uqoke ukuzidubula ngenkathi ebona imoto yabo ima egcekeni.

“Akeve ewuzwisile ubuhlungu umndeni wakhe ngalesi senzo sakhe ngoba bafike kuye esethule. Bonke bavele baphelelwa amandla ngoba bebethemba ukuthi bazokwazi ukumsiza. Inkosikazi yakhe ifike emuva kwamahora amathathu umyeni wayo ezibulele. Ithe kuyayixaka okwenziwe wumyeni wayo ngoba nguye owaqala ukumhlupha ngabantu besifazane. Kubukeka engathi uSithole uhlulekile ukumela isimo ngesikhathi eseshaywa ngezinduku zakhe,” kusho umakhelwane.

Uthe umkhwekazi kaSithole ufike wakhombisa ukunengwa yilesi senzo. Uyise kaSithole akatholakalanga ucingo belukhala lungabanjwa lwagcina seluvaliwe.

Owamaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, uthe baphenya ngokuzibulala kwendoda okusolakala ukuthi izidubulile.


Balahlwe elakubo ‘abadune’ imoto

$
0
0

Baqashwe amaphoyisa esibhedlela abalisa abane abatholane phezulu bedubulana namaphoyisa.

|||

S’MANGELE ZUMA

BAQASHWE amaphoyisa esibhedlela abalisa abane abatholane phezulu bedubulana namaphoyisa ngemuva kokubanjwa nemoto eduniwe egcwele ugwayi inani lawo elihlawunjiselwa ku-R60 000, eChatsworth.

Laba balisa okuthiwa bebehlome bephelele, bavimbe iveni ebeligcwele ugwayi bawuthululela emotweni encane iHyundai okusolwa ukuthi bebeyidune eChatsworth, ngoLwesithathu.

Ngokusho kukaMajor Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, laba basolwa baqhulule ngenhlamvu amaphoyisa ekade ebajaha sebengaseMariannhill.

“Amaphoyisa abe esephoqeleka ukuthi nawo abadubule. Imoto yabo ibe isishayisa, oyedwa obengalimele kule ngozi uzame ukubalekela emzini womuntu. Lo obebaleka ube esedutshulwa onyaweni. Amaphoyisa eK9 akwazile ukubopha laba abanye abasolwa abathathu. Bonke abasolwa babe sebephuthunyiswa esibhedlela. Kutholakale isibhamu esisodwa endaweni yesigameko. Iveni likagwayi litholakale lishiywe lodwa eBalington,” kusho uZwane.

Uthe amaphoyisa abe esethola ukuthi oyedwa wabasolwa oneminyaka engu-22 unamasonto amabili ekhishwe ngebheyili enkantolo yaseMzinto ngalo icala lokuduna imoto.

“Balindeleke ukuba bavele enkantolo yaseChatsworth uma sebeluleme,” kusho uZwane.

UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natal, uLieutenant General Mmamonnye Ngubeni ukuncomile ukuphuthuma kwamaphoyisa ekubambeni laba basolwa, wathi isibhamu sizoya kohlolwa ukuthi asikaze sisebenze ekwenzeni amanye amacala.

Omunye ozibonele lesi sigameko uNksz Sinqobile Khumalo, uthe bekungathi babukela ifilimu indlela obekudutshulwana ngayo.

“Bengibuka ngisekhaya ngivele ngewindi ngoba bengisabela impilo yami. Bengingafuni ukusondela ngoba isikhathi esiningi kugcina sekufe umuntu ongenacala. Kuhle nje ukuthi amaphoyisa akwazile ukuzibamba lezi zigelekeqe,” kusho uNksz Khumalo.

Luzocacisa okuningi olwabe-ANC eKZN

$
0
0

Kuzobe kuyizinkani zababili engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal ebhekwe ngabomvu eqala.

|||

CELANI SIKHAKHANE noMLUNGISI GUMEDE

QHUDE manikiniki zindala zombili! Kuzobe kuyizinkani zababili engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal ebhekwe ngabomvu eqala namhlanje e-Agricultural Royal Show Ground, eMgungundlovu phakathi kukaMnuz Senzo Mchunu nembangi yakhe uMnuz Sihle Zikalala.

Izothi isongwa ngeSonto le ngqungquthela abe esephelile amaphupho nokuqagela ngokuthi ngubani uSihlalo kaKhongolose omusha esifundazweni phakathi kukaMchunu noZikalala.

Labaholi baya kule ngqungquthela yesishiyagalombili, kunokuhlukana okukhulu okungakaze kubonwe kumalungu e-ANC KwaZulu-Natal kusukela kuhambe uDkt Zweli Mkhize.

Ukuhlukana okukhona kumalungu e-ANC kulokhu kuhambisana nokuthukana ngezinhlamba ezishaqisayo obekubonakala kudla lubi ngisho ezinkundleni zokuxhumana phakathi kwabalandeli abaseka uMchunu abazibiza nge-#SenzoSeNhlakanipho abaZikalala bazibiza nge-#Khuzeni.

Umhlaziyi wezepolitiki ozimele uMnuz Thabani Khumalo uthe i-ANC ibhekene nokuhlukana okumangazayo KwaZulu-Natal nokuyinto eyenza le ngqungquthela ihluke kakhulu uma kuqhathaniswa nobumbano olwalukhona ngo-2011, eNewcastle.

“Kuyona yonke le minyaka i-ANC KwaZulu-Natal ibibumbene kangangokuthi nokuhlukana abebebanakho uma beya ezingqungqutheleni bekungafani nalokhu kwamanje ngoba bebesazi isitha sabo ukuthi ngubani, okwakuyi-IFP. Ubufakazi balokhu wukuthi ngo-2011 engqungqutheleni ayeyihleli eNewcastle, bancamela ukubuyisa sonke isigungu esasiholwa wuMkhize esathatha ihlandla lesibili ngemuva kokungena kwakhe ezicathulweni zikaDkt Sbu Ndebele,” kusho uKhumalo.

Ngo-2011 kuthiwa waba khona umbono wokuthi uMkhize kumele agudluzwe esikhundleni ukuze kungene uMchunu kanti lo mkhankaso kuthiwa wawuholwa nguMnuz Thulani Mashaba ongasekho.

Ngaleso sikhathi uMashaba wayesazwana noMchunu kanti kuthiwa wayesebenzisa i-ANCYL kodwa kwabuye kwaxoxiswana isigungu sonke sabuyiswa naye uMkhize.

Ngemuva kokuhamba kukaMkhize ngo-2013, eseyoba uMgcinimafa kazwelonke, lwaqala uqhekeko ku-ANC sekubhekene uMnuz Willies Mchunu naye uSenzo Mchunu embangweni owawuchazwa ngokuthi impi yamaChunu engqungqutheleni eyayiseWestville.

Lapho uMashaba kuthiwa wayesemjikele uMchunu ngemuva kokuthi kwakuba nengxabano abanayo nomkaMchunu, oyiMeya oThungulu uNkk Thembeka Mchunu. Kusuka lapho izinto azizange ziphinde zibuyele esimeni kuze kube manje.

UDkt Bheki Mngomezulu ongumhlaziyi ozimele osebenza enyuvesi yaKwaZulu-Natal, uthe impilo izoba nzima kulowo ozohlulwa kule ngqungquthela ngenxa yokungezwani okukhona kumanje.

“Ngakho kuyodingeka ukuthi ngemuva nje kokuphothulwa kwale ngqungquthela kwehle ubuholi bukazwelonke buzozama ukuthi kube nokubuyisana phakathi kwezinhlaka zombili. Mayelana nekusasa lalabo abazohlulwa, konke kuzoncika ekutheni uhlangothi olunqobile luzimisele ngokuthi kuyiwe kanjani phambili. Nokho uma kube namaphutha, maningi amathuba okuthi iqalwe phansi le ngqungquthela,” kusho uMngomezulu.

Okugqamile ngale ngqungquthela wukuthi zonke izifunda ezingu 11 zaKwaZulu-Natal zihlukene phakathi ngokuthi zifuna ukuthi kube ngubani uSihlalo phakathi kukaZikalala noMchunu.

I-ANCYL yona iphumele obala yathi ifuna uZikalala athathe izintambo zobuholi ngoba ibona sekufanele kube ngumuntu omusha ohola uKhongolose.

Nokho ezifundeni zalolu phiko kukhona abaholi balo abaphikisanayo nesinqumo sobuholi besifundazwe njengeLower South Coast, abaQulusi naseFar North.

ELower South Coast amanye amalungu esigungu se-ANCYL ayaphikisana nosihlalo wakhona uMnuz Mfanas Ngwabe oweseka uMchunu njengoba bona bethi basamile esinqumeni sesigungu sabo sesifundazwe.

Ukwehlukana kukhona ngisho lapho bedabuka khona labaholi, uZikalala waseNdwedwe igatsha lakhe iMillion Meyiwa lihlukene phakathi, kanjalo nakuMchunu waseNhlwathi eFar North kodwa manje osezinze eMusa Dladla kwenzeka okufanayo.

UMhlaziyi wezepolitiki uMnuz Sanele Nene uthe kuyinto ejwayelekile ku-ANC ukuthi uma kuza izingqungquthela kube nokungaboni ngasolinye.

“Le ngqungquthela ibaluleke njenge zinye esezike zaba khona ngakho noqhekeko olukhona luyinto ebibonakala nangesikhathi kusekhona oDkt Sbu Ndebele uma kuza izingqungquthela,” kusho uNene.

Uthe okuqaphelekayo wukuthi ayicaci indaba yokuthi yini ngempela ebangwayo ngoba akukho lapho kukhonondwa khona ngokuthi kukhona ongahambisi izinto ngemigomo efanele yeqembu noma ohlulwa ukulandela umthethosisekelo.

UMchunu kunenkulumo ekhulunyelwa phansi ethi uzondelwa ukuthi ulambisa amaqabane ngokuvala umpompi wamathenda.

Kuvela nokuthi kuneqeqeba losomabhizinisi eliseka umkhankaso kaZikalala ngezimali ngoba nakhu lingasawatholi amathenda ngaphansi kobuholi bukaMchunu.

Abanye balabo somabhizinisi abanganeme ngesandla sikaMchunu kuthiwa sebeze bahlubukela kwi-EFF.

UMchunu kuthiwa esinye isizathu esimenza wangathandwa kahle ngabanye ozakwabo, yisinyathelo sakhe sokuphakamisa ukuthi kubuyiswe uMnuz Bheki Cele esifundazweni emva kokukhonjwa indlela njengoKhomishana wamaPhoyisa.

Umphumela wale ngqungquthela uzophinde ukhombe indlela ngokuthi ngubani ozoba uSihlalo we-ANC eThekwini nokuthi ngubani ozokhethwa njengoMengameli wombutho ngo-2017.

UMchunu kwaziwa ukuthi useka iPhini likaMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa ukuthi angene ezicathulweni zikaZuma kanti uZikalala yena kuthiwa useka uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma.

EThekwini, uZikalala waziwa ngokuthi useka uNkk Zandile Gumede ekutheni abenguSihlalo kanti uMchunu uhamba noMnuz James Nxumalo.

Sinamuhla isinqumo ngowabulawa

$
0
0

Bazolala namuhla sebazi ukuthi liyabathetha noma liyabalahla yini icala lokubulala abasolwa abane ababhekene necala lokubulala isihlobo sabo.

|||

BAWINILE NGCOBO

BAZOLALA namuhla sebazi ukuthi liyabathetha noma liyabalahla yini icala lokubulala abasolwa abane ababhekene necala lokubulala isihlobo sabo esahushulwa amathumbu ngesitho sangasese bethi basikhipha amadimoni ngo-2012.

USnethemba Dlamini (14) wabulawa ngoMashi 2012 eMlazi ngesikhathi ehushulwa amathumbu ephila kuthiwa ukhishwa amadimoni.

Obabekazi bakhe oNksz Fundiswa Faku, Nkk Lindelwa Jalubane nabazala bakhe oNksz Nokubonga noMinenhle Jalubane babhekene necala lokumbulala.

Izolo enkantolo enkulu eThekwini kulalelwe ubufakazi bukachwepheshe wezengqondo obebizelwe ukuzochaza ukuthi laba babecabangani ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

UProfessor Nicholas Labuschagne utshele inkantolo ukuthi phambilini uke wasebenza ngamacala amabili acishe afane naleli.

“Elokuqala kwakungelikamalugaju owayebulala abantu abakhiphe izitho zangaphakathi, esinye kwakungesowesifazane owayehlala emgwaqweni owabulawa wakhishwa isitho sangasese kodwa lelo cala aliyanga ndawo. Uthe isikhathi esiningi kujwayeleke ukuthi kube ngabesilisa ababulala abantu babakhiphe noma babashutheke izinto esithweni sangasese,” kusho uLabuschagne.

Uthe ngesikhathi efunda idokodo laleli cala kwammangaza ukubona kukhulunywa nge-code.

“Ngesikhathi ngizwa le nto ngangicabanga ukuthi ngabantu nje ababephambene umqondo laba. Ngiyajabula ukuthi inkantolo ikwazile ukubiza ochwepheshe abazochaza.”

Uthe lolu daba luhambisana nenkolelo abasolwa abebenayo njengoba abantu benezinkolo ezahlukene. Ukufanise namacala okubulawa kwabantu ngenxa yomuthi okungenzeka ukuthi kusuke kuyinkolelo yomuntu noma kuwubugebengu.

Uphinde wathi uyakuqonda ukuthi umfundisi wabasolwa weza konika ubufakazi obuthi akuyona inqubo yebandla okwenziwa ngabasolwa.

Kulolu daba uthe kungenzeka ukuthi kunogcobho wobuqembu njengoba kubonakala ukuthi uNksz Faku wayengubhongoza laba abanye belandela yena.

Uthe kungenzeka ukuthi laba abanye benza le nto bengazi ukuthi izoba nalesi siphetho eyaba naso kodwa okunzima ukukuqonda ukuthi uNksz Faku wayekuhlelile noma ekuhlosile yini yena.

ULabuschagne uthe mhlawumbe ukube uNksz Faku wayengekho ngabe akwenzekanga okwenzeka.

“Into eyenza kube nzima ukuqonda ukuthi bonke imiqondo yabo yayisebenza kahle.”

Ijaji uPhillip Nkosi uthe uzokhipha isinqumo namuhla.

Kanti kusuke isidumo ngaphandle kwenkantolo ngesikhathi abasolwa sebegoduka, amalungu omphakathi abezoseka ugogo kaSnethemba, ebachapha ngenhlamba.

Abanye bebebadonsa besusa amaduku abebezimboze ngawo ukuze abathwebuli bezithombe babashuthe.

Kuke kwaba nomsindo ngaphandle kwenkantolo, abasolwa bebaleka bejahe ukuyogibela imoto abahamba ngayo, abeseka ugogo kamufi bela bebathuka bekhombisa ukunengeka yisenzo sabo.

Izolo ugogo ubezosekwa nangabenhlangano iBobbi Bear elwela amalungelo ezingane.

‘Abadingeki abangezona izithunywa’

$
0
0

I-ANC isikhiphe isexwayiso ngalabo abangesizona izithunywa kodwa abazoza bezoqhinqa ngaphandle engqungqutheleni yokukhetha ubuholi.

|||

CELANI SIKHAKHANE

I-ANC KwaZulu-Natal isikhiphe isexwayiso ngalabo abangesizona izithunywa kodwa abazoza bezoqhinqa ngaphandle engqungqutheleni yokukhetha ubuholi baKwaZulu-Natal eqala namhlanje eMgungundlovu, ukuthi ngeke babekezelelwe ngoba ezokuphepha zizobe ziqinisiwe.

Lokhu kuvele izolo ngesikhathi uNobhala we-ANC esifundazweni, uMnuz Sihle Zikalala echazela abezindaba e-Agricultural Royal Show Ground ngezinhlelo zengqungquthela nokuthi balindele izithunywa ezingu-1 300 ezizofika namhlanje.

“Labo abazobe bengezona izithunywa sicela bahlale emagatsheni abo ngoba abadingeki lana, kunalokho kuyothi uma kuphela ingqungquthela bese kuhanjelwa ezinhlakeni zabo beyobikelwa ngemiphumela nezinqumo ezithathiwe yilabo abebebamele. Sikusho lokhu ngoba kukhona abantu okuthi uma kunezingqungquthela ababa ngabangani bezithunywa abasuke behleli ngaphandle ngesikhathi ingqungquthela iqhubeka,” kusho uZikalala.

Uphinde waveza ukuthi bayalele izithunywa kuzona zonke izifunda ukuthi abantu kumele baziphathe kahle kungabi bikho ozophuma eceleni nabazocula izingoma ezinamagama abaholi noma ezibethukayo.

NgoFebhuwari engqungqutheleni yaseThekwini okwanqoba kuyo uMnuz James Nxumalo, kwakugcwele inqwaba yamalungu e-ANC ngaphandle kwase-ICC eyayeseka uNxumalo noNkk Zandile Gumede kodwa ayengezona izithunywa.

Ngesikhathi uZikalala ekhuluma nabezindaba izolo, uSihlalo we-ANC uMnuz Senzo Mchunu ubehlangene nezithunywa eDales Park nokuthe emuva kwalokho wazishiya seziqala umkhankaso wokuqoqa udoti edolobheni eMgungundlovu.

Ngakolunye uhlangothi uZikalala ubebonakala engezwile ephendula ngolaka kwabezindaba uma bemhloma ngemibuzo angayithandi.

Ubuye waphawula ngeTheku wathi lizohlala noma nini kodwa ngeke adalule ukuthi mangaki amagatsha akhona azoba yingxenye yengqungquthela yesifundazwe.

Ngesikhathi ephawula ngale ngqungquthela, uthe ayihlangene nakancane no-2017 ngakho abantu abahlukane nokukhuluma kanjalo futhi akekho esifundazweni osenomcabango ka-2017.

Utholwe efile obebizwe ngasebenza nabo

$
0
0

Kusolwa ukuthi uyengelwe Ophathe ngabantu abebesebenza naye uMnuz Thulebona Shange otholwe esefile enamanxeba okudutshulwa

|||

NKOSIYAZI PHUNGULA

KUSOLWA ukuthi uyengelwe Ophathe ngabantu abebesebenza naye uMnuz Thulebona Shange otholwe esefile eZimbokodweni enamanxeba okudutshulwa izolo.

UShange (40 ) obehlala eMgababa utholwe edindilize emgwaqweni owubhuqu ngasesibhedlela sabagula ngengqondo eKuhlengeni.

Kuthiwa ushayelwe ucingo ngabantu abebamba nabo amatoho ezolimo ngoLwesithathu bemazisa ngetoho okumele bavukele kulo izolo.

Udadewabo kamufi, uNkk Philile Mkhize ongumhlengikazi ePrince Mshiyeni utshele Isolezwe ukuthi odadewabo abahlala nomfowabo kubo eMgababa bathe bamzwile exoxa nabantu ngomsebenzi wase ebatshela ukuthi yilaba ajwayele ukubamba nabo itoho.

Uthe bamcele ukuthi bahlangane kwa-U, eMlazi ngasegaraji lika-phethroli kodwa akashongo ukuthi ngubani lo ombeshayele ucingo.

Uthe nempela umfowabo uvukele khona ekuseni wathi umndeni umangele usuthola ucingo ukuthi kumele uphuthume kule ndawo lapho eshonele khona.

Umakhelwane ozibonele kwenzeka nokunguye ohlabe umkhosi wabikela amaphoyisa uthe kuqhamuke imoto yohlobo lweToyota enombala o-grey kwehla umufi nomunye wamdubula.

Uthe umshayeli wemoto ubehleli emotweni ngesikhathi lo omunye edubula umufi maqede bakhala bemuka.

Uthe yena nomakhelwane bathinte amaphoyisa.

UNkk Mkhize uthe kukhona ababaziyo abebesebenza nomfowabo kodwa abazi ukuthi yibaphi laba abamshayele ucingo.

“Sisakhungathekile ukuthi ngabe yini isizathu esenze wabulawa kabuhlungu kangaka ngoba akukho esikwaziyo ukuthi kukhona abantu abengezwani nabo. Siyasola ukuthi yilabantu abesebenza nabo abamyengele Ophathe bambulala,” kusho uNkk Mkhize.

Uthe okunye okwenza badideke wukuthi akukho lutho oluthathiwe kuye njengoba amaselula akhe amabili namakhadi asebhange etholakale emzimbeni wakhe.

Umfowabo kamufi naye obekhona endaweni yesigameko uthe bebecabanga ukuthi izigebengu bezifuna imali njengoba umufi aphunyelwa yimali elinganiselwa ku-R500 000 ngo-2010 emva kokubandakanyeka engozini yemoto wathi bayaxakeka ngoba akuthathwanga lutho. Uthe bazibhekile izinombolo ebezishayele ucingo lukamufi kodwa bathola ukuthi sezicishiwe.

Okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane uthe amaphoyisa aKwaMakhutha aphenya icala lokubulala.

Isiguli sibulawe ‘wuhlanya’ esibhedlela

$
0
0

Usola isibhedlela umndeni wowesilisa okuthiwa ushone emuva kokushaywa ngesitebhisi sombhede yisiguli.

|||

LUNGI LANGA

USOLA isibhedlela umndeni wowesilisa waKwaMakhutha okuthiwa ushone emuva kokushaywa ngesitebhisi sombhede yisiguli esiphanjanelwe wumqondo esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, eMlazi.

Umndeni kaMnuz Linda Mseleku (53) usola isibhedlela ngokufihla imininingwane ngokulinyazwa kwakhe yisiguli okuthiwa siphazamiseke ngokomqondo.

UMseleku kuthiwa ushaywe ekhanda ngesitebhisi esibekwa eceleni kombhede ngesinye isiguli ebesiphanjanelwe wumqondo.

Ngokusho komndeni wakhe ufike kulesi sibhedlela ngo-Okthoba 24 wangeniswa egunjini labagula kakhulu ngoba enenkinga yephika, izinso nenhliziyo.

Bathole nokuthi ubene-pneumonia.

Ukhishwe egunjini labagula kakhulu ngoNovemba 2, ngoMsombuluko wafakwa egunjini labagula ngokujwayelekile.

Ebusuku ngalolu suku kuthiwa ushaywe yisiguli esinenkinga yengqondo.

Unina wezingane zakhe, uNksz Sizakele Ngcobo (40), uthe uthole ucingo ngoLwesibili ekuseni ebikelwa ukuthi umyeni wakhe useshaywe ngesinye isiguli engalweni.

Uthe umangele ngesikhathi efika emini esembona evuvukele umqala.

“Ngamangala ngoba umqala wakhe bewuvuvukele negilo liseceleni. Mina bangitshela ukuthi ushayeke engalweni. Ubeyethile engenamandla. Ngesikhathi ngizama ukumphenya ingubo ngimbheke ingalo, ngatshelwa ukuthi angivumelekile ukuphenya isiguli. Kuthe uma sengibuya ebusuku nezinye izihlobo zethu samphenya sabona ukuthi akalimele engalweni nakwezinye izindawo emzimbeni kodwa ulimele emqaleni,” kuchaza uNksz Ngcobo.

Uthe ngezithuba zawo 11 ebusuku uthole ucingo oluvela esibhedlela lumbikela ukuthi umyeni wakhe useshonile.

NgoLwesithathu uNksz Ngcobo nezihlobo bahambele lesi sibhedlela beyothola kabanzi ngokushona kukaMseleku.

“Kuyasixaka lokhu ngoba ngaphambi kokuthi aze ashaywe wayeseluleme kakhulu esesho nokuthi usejahe ukugoduka. Uma sikhuluma ubethi sincanakazana sami sengizogoduka ngiyomisa amadolo ekhaya. Sivele sabhoka ngolaka kwaze kwakhona udokotela osichazelayo ngokuyikho okwenzeka,” kusho uNksz Ngcobo.

Uthe udokotela ubatshele ukuthi uyise wezingane zakhe ushayeke kabuhlungu ekhanda. UNksz Ngcobo uthe udokotela umtshele ukuthi ushaywe ngesitebhisi esibekwa eduze kombhede. Uthe okubaphathe kabi wukuthi isibhedlela besizama ukubacindezela ukuthi bavume incazelo ethi ushone ngenxa yokugula.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo uMnuz Sam Mkhwanazi uthe sebeyazi ngalolu daba kepha bayoze bakwazi ukuphawula ngalo uma sekuphothulwe uphenyo lwangaphakathi.

Ube esedlulisa amazwi enduduzo emndenini.

Umfundi ona-12 ugwaze wabulala ababili

$
0
0

Usale ushaqekile umphakathi emuva kokuthi umfundi ejuqe ngommese abanye ababili ekilasini esikoleni abafunda kuso.

|||

BAWINILE NGCOBO

USALE ushaqekile umphakathi wasoSizweni, eNewcastle emuva kokuthi umfundi oneminyaka engu-12 ejuqe ngommese abanye ababili abaneminyaka engu-15, ekilasini esikoleni abafunda kuso, bashonela khona lapho, izolo.

Kulesi sigameko kushone uSkhumbuzo Maseko noZakhele Nyembe abebefunda nomsolwa uGrade 7 eVulindlela Primary.

Laba bafundi kuthiwa bebeye esikoleni ukuyobhala izivivinyo zokuphela konyaka.

Kuthiwa lesi sigameko senzeke ngezithuba zawo 10 izolo ekuseni ekilasini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane, uthe umbiko wamaphoyisa ukhomba ukuthi laba bafundi babe nengxabano ekilasini, kwasuka isidumo balwa.

“Lo mfundi oneminyaka engu-12 kusolwa ukuthi uye ekhaya wayolanda ummese, wabuyela esikoleni lapho egwaze khona laba abanye abafundi ababili abaneminyaka engu-15, bashona,” kuchaza uZwane.

Kuthiwa kubizwe amaphoyisa endawo abe esethatha umsolwa.

Ummese okuthiwa usetshenziswe kulesi sigameko utholwe endaweni yesigameko unegazi.UZwane uthe kuphenywa amacala amabili okubulala.

Ubabekazi kaSkhumbuzo, uNksz Nompumelelo Maseko uthe nabo abakazi ukuthi kwenzekeni, basalinde incazelo.

“Okusixakayo wukuthi lo omunye umfundi kuthiwa ubonakele emuva kokuthi belwile ephuma ngesango esikoleni ephethe ishethi lesikole ngesandla.

“Okusixakayo wukuthi baze balwa kodwa kungekho thisha ozwayo ngalokhu ngisho nezingane azisasho lutho, waze wabuya wabagwaza,” kubuza uNksz Maseko.

Uthe laba abashonile babafice besekilasini kanti bebekushwama nje ukuthi uSkhumbuzo uyalwa esikoleni.

“Sifuna ukwazi ukuthi othisha nonogada bebekuphi kuze kwenzeka konke lokhu,” kusho uNksz Maseko.

n Kwenzeka lesi sigameko nje, ngoLwesithathu kubulawe umfundi esikoleni eNhlamvana High, Esikhaleni, eMpangeni.

UMnuz Lungisani Ngema (20) yena ugwazwe esangweni lesikole.

Kuthiwa uxabane nomunye umfundi ngezithuba zawo-1 emini. Lo omunye umfundi wabe esekhipha ummese wamgwaza esifubeni.

n Kwesinye isigameko esenzeke ngoLwesibili KwaMaphumulo, kulimale abafundi abathathu emuva kwengxabano ephethe ngokuthi bagwazane eKukhanyakwezwe High.

UZwane uthe abafundi abathathu bagwazwe emuva kwengxabano, baphuthunyiswa esibhedlela. Omunye umfundi oneminyaka engu-19 uboshelwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza kanti uzovela maduze enkantolo.

Okhulumela umnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sicelo Khuzwayo uthe uNgqongqoshe wezeMfundo uNkk Peggy Nkonyeni ushaqekile ngalezi zindaba.

“UNgqongqoshe ufisa ukudlulisa amazwi endunduzo emindenini yabafundi kodwa ukhathazekile kakhulu ngokwanda kwezigameko zokubulalana kwabafundi emagcekeni esikole,” kusho uKhuzwayo.

Uthe unxusa abazali nomphakathi ukuthi kubanjiswane izingane zinqandwe ekuphatheni izikhali ezikoleni ngoba zonke izigameko zokulimazana kwabafundi zithinta izikhali.


Usekubhaceni oseshiselwe izigodlo kabili

$
0
0

Kuzo zombili lezi zehlakalo kushiswa izigodlo alapha kuzo kuphela, izindlu azithintwa

|||

MLUNGISI GUMEDE

USEKUBHACENI umthandazi ophinde abe wumfundisi ebandleni leZayoni, amaJerikho eHlanzeni, oLundi emva kokushiswa kwezigodlo zakhe kabili kulandelana ngenyanga eyodwa ezehlakalweni asola kuzo uzalo olumnuka ngokuthakatha.

Kuzo zombili lezi zehlakalo kushiswa izigodlo alapha kuzo kuphela, izindlu azithintwa.

UMnuz Mshoniseni Ndlovu (62) uthi uselala obenyoni lapho ehamba equba khona kulandela ukushiswa kwezigodlo zakhe.

“Baqale bashisa uguqasithandaze wami ngo-Okthoba 13, kwathi ngo-Okthoba 30 babuya bazoshisa indlu yami ewulawondi. Zombili lezi zindawo bengilaphela kuzo,” usho kanje.

UNdlovu uthe ngaphambi kokuthi kushiswe izigodlo zakhe, uqale wadutshulwa ngoFebhuwari nonyaka khona oLundi kodwa wasinda.

“Ngibalekile ngaya eGoli bangilandela baphinde bangidubula ngoMashi nakhona ngasinda futhi, ngathi kungcono ngibuyele ekhaya ngiyofela khona njengoba sebeshisa izigodlo zami nje,” usho kanje.

UNdlovu uthe usola uzalo lwakhe ngokuhlaselwa kwakhe olumsola ngokuthakatha.

“Kunenkulumo engiyizwa ngabantu kuthiwa ngabulala umfana wasozalweni (igama lakhe esinalo). Angiyazi leyo nto okukhulunywa ngayo angikaze ngibulale muntu mina ngizilaphela abantu,” kusho uNdlovu.

UNdlovu uthe umfana oyisihlobo sakhe wavele wagula washona ngoFebhuwari nonyaka.

Uthe kuyacaca ukuthi abahlaseli bafuna yena siqu sakhe ngoba izingane nonkosikazi wakhe ababenzi lutho.

“Ngizamile ukuvula icala esiteshini samaphoyisa emaShona, eMahlabathini kodwa amaphoyisa anqaba athi angeke akwazi ukungisiza ngoba angibonanga muntu eshisa indlu,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Jay Naicker uthe bazoxhumana nomphathisiteshi waseMashona ukuze bathole ukuthi kwenzakaleni.

Kwenzeka lesi sigameko nje, eMabheleni eMthwalume kusanda kubulawa ngesihluku amalungu omndeni ayisishiyagalomboli akwaMncwabe kubalwa nezingane ezincane ehlahlelwa ngembazo ngoba esolwa ngokuthakatha. Kuboshwe uThulani Mncwabe noSibonelo Mncwabe abawuzalo lawo umndeni bagwetshwa eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Nkosinathi Nhleko izolo uhambele umndeni wakwaMncwabe waphinde wakhuluma namalungu omphakathi waseMaBheleni.

Iphunga lendle libaxosha esikoleni

$
0
0

Izolo akuzange kufundwe kulesi sikole esiseVerulam njengoba othisha bakhona bebeqhinqe ngaphandle bekhala ngephunga lendle elixakayo

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

IPHUNGA lendle elivimbanisile esikoleni i-Oakford Primary ngenxa yokungasebenzi kwamathoyilethi liholele ekutheni othisha badube ukufundisa kuze kube lesi simo siyalungiswa.

Izolo akuzange kufundwe kulesi sikole esiseVerulam njengoba othisha bakhona bebeqhinqe ngaphandle bekhala ngephunga lendle elixakayo.

Iphunga lendle likushaya ungena esangweni lalesi sikole kanti neSolezwe lizizwele lokhu lihambele lesi sikole izolo. Kulesi sikole esinabafundi abangu-1074 nothisha abangu-30 kuthiwa akusebenzi ngisho nelilodwa ithoyilethi emva kokuvaleka komgodi ohambisa indle.

Ngokuthola kweSolezwe lesi simo sesinonyaka siqhubeka kodwa singalungi kunalokho inkinga iqhubekela phambili. Othisha bebezihlalele ngaphansi kwesihlahla abanye abafundi besemakilasini nabo bezihlalele bodwa.

USihlalo wesigungu sabazali uMnuz Vusumuzi Mabaso ubefingqe imikhono esebenza nabanye besilisa ababili kulesi sikole bezama ukuvala lapho kuthiwa iphunga lendle livela ngakhona.

UMabaso uthe kunesikhathi benale nkinga yamathoyilethi esikoleni nosekuholele ekutheni othisha badube ukufundisa.

“Amathoyilethi awasebenzi ngenxa yokuvaleka komgodi ohambisa indle. Lesi simo kunesikhathi siqhubeka. Ngaphambi kokuba kuvalwe izikole ngoSepthemba nonyaka sacela inkampani ezimele ukuba isize kule nkinga. Zaba ntathu izinkampani esazicela ukuba zilekelele. Eyokuqala yafuna u-R18 000 enye yafuna u-R12 000 eyokugcina yafuna u-R10 800. Sathatha le ka-R10 800. Yafika yalungisa amapayipi yakhipha namatshe. Yafaka nomuthi wokuhambisa indle ngendlela efanele kwaba sengathi kuba ngcono. Emasontweni amathathu adlule amathoyilethi aphinde avaleka wonke indle isiziphumela ngaphezulu. Othisha bakhala ngale nkinga babhala nezincwadi. Kumanje ukufunda kuphazamisekile esikoleni kusukela ngoLwesihlanu abangeni othisha emakilasini,” kusho uMabaso.

Uthe naye uyazi ukuthi kunzima ukusebenza ngaphansi kwalesi simo wathi benza konke ukuzama ukulungisa le nkinga.

Enye indle ibibonakala emagcekeni esikole. Kuthiwa izingane zigcina zizikhulula emnyango ngenxa yale nkinga yamathoyilethi angasebenzi.

Othisha abangathandanga ukudalulwa bathe kunzima ukufundisa ngaphansi kwalesi simo ngoba indle bayibona ngamehlo.

“Izingane azikwazi ukuya emathoyilethi, indle ibonakala ngamehlo lapha esikoleni. Okukhulu kakhulu yiphunga elenza singakwazi ukusebenza. Awukwazi ukuvula amawindi ngisho nokudla imbala. Uma ufika nje ekuseni ubingelelwa yiphunga. Asikwazi ukuqhubeka sisebenze ngaphansi kwalesi simno,” kusho omunye wabo.

Ukubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka bekumele kuqalwe ngoLwesine kodwa othisha bathi uma lesi simo singalungi ngeke baqhubeke nokusebenza.

Ngaphandle kwephunga lendle othisha bathe kunenkinga yamanzi nogesi abafisa ukuba ilungiswe kulesi sikole.

Zonke lezi zidingo ziphazanyiswa wudaba lwalesi sikole olusenkantolo lombango womhlaba nomnikazi wepulazi esakhiwe kuso.

Lesi sikole saba undabuzekwayo ekuqaleni konyaka umnikazi wepulazi efuna ukusivala abazali bavuka umbhejazane bephikisana naye.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sicelo Khuzwayo uthe: “Okwamanje awukho umbiko onikezwe uMnyango ngokumiswa kokufunda kulesi sikole. Udaba nokho selufikile kithina njengoba nilubika. Ithimba lethu lengqalasizinda lizothunyelwa kulesi sikole kusasa ukuze libheke inkinga bese sibona ukuthi ingalungiswa kanjani.

“Izikole ziyanxuswa ukuthi uma zinezikhalo zithunyelwe emnyangweni ngokushesha. Akusona isixazululo ukuduba ukufundisa,” kusho uKhuzwayo.

Othisha bakulesi sikole bathe ngoSepthemba nonyaka bathumela incwadi bekhala ngephunga elikulesi sikole.

Kufunwa inyanga ‘eshumpule’ umuntu

$
0
0

Amaphoyisa aseMzinto athungatha inyanga ngecala lokubulala uNawaaz Khan (23) wakhona eMzinto, maqede yamshumpula ikhanda

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

ISEKUBHACENI inyanga yaseMzinto okusolwa ukuthi ibaleke emuva kokuba ishumpule ngobhushu ikhanda lomuntu ngenhloso yokuthaka umuthi onzima.

Amaphoyisa aseMzinto athungatha inyanga ngecala lokubulala uNawaaz Khan (23) wakhona eMzinto, maqede yamshumpula ikhanda.

Le nyanga kuthiwa yatshela umngani kamufi uMnuz Thando Duma (21) ukuthi idinga ikhanda lowomdabu wasendiya ukuze ithake umuthi ezomelapha ngawo.

UDuma wayekade ekhale ngezinkinga abhekene nazo, edinga umuthi.

Ngo-Okthoba 31 nonyaka umufi kwabikwa ukuthi ulahlekile esiteshini samaphoyisa eMzinto.

UDuma waphonswa imibuzo ngamaphoyisa wavele wakhihla isililo wavuma konke ngayekuthunywe yile nyanga.

Isidumbu sikamufi sitholwe ngempelasonto ehlathini. Ikhanda lingabonwa. Izolo ebusuku Isolezwe lithole ukuthi ikhanda litholakale ezihlahleni khona eMzinto selihlukanisiwe. Ulimi namehlo kuthiwa bekuthukuswe ngokuhlukana nekhanda likwenye indawo.

Kuthiwa inyanga beyihlose ukubuye ililande nezicubu ebesezikhishiwe. Inyanga kuthiwa icele omunye umsolwa ukuba ayigadele lona. UDuma okumanje uboshiwe, wakhombisa amaphoyisa isidumbu sikamufi ehlathini laseSonti khona eMzinto.

Izolo uDuma uvele enkantolo yaseMzinto icala lahlehliselwa uNovemba 19 nonyaka.

Isidumbu sikamufi satholakala singenakhanda.

Ngokuthola kweSolezwe uDuma nale nyanga ngesikhathi beshumpula ikhanda, balala endaweni yesehlakalo.

Ekuseni kuthiwa inyanga yathi ikhanda izolisebenzisa eThekwini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa athungatha le nyanga ngecala lokubulala maqede icwiye ikhanda.

“Umsolwa oneminyaka engu-21 uboshiwe kulandela ukuvuma ukuthi wabulala umngani wakhe ngoba efuna ikhanda elalifunwe yinyanga ukuze imthakele umuthi ezomelapha ngawo. Kumanje sifuna inyanga esibalekile,” kusho uNaicker.

Ubhushu owasetshenziswa kubulawa umufi ubungakatholakali. Kuvele ukuthi kwathathwa amateku kamufi namaselula amabili.

Uphenyo luholele kwabanye abasolwa ababili ababephethe amaselula kamufi. Laba basaphenywa kepha kababoshwanga.

Inyanga efunwayo kuthiwa abaphenyi becala bayayazi kodwa lapho ibihlala khona iqoqe konke yakhala yemuka.

Umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Mmamonnye Ngobeni uncome umsebenzi wamaphoyisa ngokushesha ubophe umsolwa, wanxusa ukuba umphakathi wakule ndawo ulekelele.

“Ngiyakholwa wukuthi ukuboshwa kwenyanga ethintekayo kuzokwenzeka maduzane. Akwamukelekile ukuthi izigameko ezifuze lezi zilokhu ziqhubeka. Siyanxusa umphakathi ukuba ungalinge ulandele imiyalelo efana nalena esuke ivela kubelaphi. Kumele ubikele amaphoyisa uma utshelwa yizinyanga ukuthi mawenze ubugebengu,” kusho uNgobeni.

Umphakathi uyalelwe ukuba ungaziphindiseleli kule nyanga efunwayo kodwa ubikele amaphoyisa uma unolwazi ngayo.

Ugwetshiwe owadlwengula isiqashi oPhongolo

$
0
0

Izolo eNkantolo yeseFunda oPhongolo iMantshi uMnuz Norman Nkosi ichaze uMnuz Ayanda Sibiya (27) njengesilwane okungafanele sihlale nabantu wathi ufanelwe wukugqunywa ejele. “Uyisilwane awufanele ukuhlala emphakathini

|||

MTHOKOZISI MANQELE

UGWETSHWE udilikajele kwaphinde kwengezwa ngeminye iminyaka engu-10 ebhadla ejele owesilisa waseNcotshane, oPhongolo, ngecala lokudlwengula isiqashi.

Izolo eNkantolo yeseFunda oPhongolo iMantshi uMnuz Norman Nkosi ichaze uMnuz Ayanda Sibiya (27) njengesilwane okungafanele sihlale nabantu wathi ufanelwe wukugqunywa ejele. “Uyisilwane awufanele ukuhlala emphakathini. Udlwengule umuntu obethembele kuwe. Abantu abanjengawe kabafanele ukuhlala emphakathini,” kusho imantshi.

Unikwe udilikajele kwelokudlwengula wase enikwa iminyaka elishumi lokwesabisa owesifazane ona-21 ubudala obehlala kwakhe ngokomsebenzi.

USibiya kuthiwa wadlwengula lo wesifazane ngoMeyi nyakenye wabe esemsabisa ngokumbulala uma ebika lolu daba emaphoyiseni. Kuthiwa uSibiya wamdlwengula ephindelela izikhawu ezinhlanu emkhombe ngommese.

Lo wesifazane waqunga isibindi wabikela amaphoyisa zabe sezimkhalela uSibiya eboshwa ngamaphoyisa ophiko lwamacala okudlwengula nokulwa nodlame lomndeni asoLundi.

Ugwetshelwa leli cala nje, usazobuya futhi kule nkantolo ngoNovemba 19 ezoqula elinye icala asolwa ngalo lokudlwengula owesifazane ona-18 ubudala.

Umthombo oseduze nabaphenya leli cala uthe ulibofuzo lubuye lwakhombisa ukuthi uSibiya uyathinteka kulesi sigameko.

“Bekungaziwa ukuthi ubani owanukubeza ngokocansi owesifazane (18). Wanukubezwa ngokocansi ubusuku bonke ekhonjwe ngumsolwa ngommese elokhu emqale ngo-6 ntambama waze waphunyuka ngo-4 ekuseni. Wayemnukubezela enkundleni yezemidlalo yakhona eNcotshane. Kuthe angalahlwa yileli cala umphenyi wecala wabe esethatha ulibofuzo lowesifazane odlwenguliwe nolukamsolwa layohlolwa ukuthi alixhumani yini. Imiphumela yabuya yathi umsolwa uSibiya uyathinteka kulesi sehlakalo,” kusho lo mthombo oliphoyisa kodwa ongavumelekile ukukhuluma nabamaphephandaba.

Ukugwetshwa kukaSibiya kushayelwe ihlombe wuNgqongqoshe wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu.

Esitatimendeni uMchunu uthe akungabazeki ukuthi ukudlwengulwa kwalo wesifazane kwamhlukumeza kwaphinde kwahlukumeza nomndeni wakhe.

Inkinga emndenini oshonelwe

$
0
0

Umndeni uthe imali ivinjwe wukuthi owayebhalwe nguNksz Mbutho ukuthi uyothola imali uma yena eshona udonsa iminyaka ejele laseWestville

|||

S’MANGELE ZUMA

SEKUPHELE amasonto amathathu umndeni kaNksz Elizabeth Mbutho (67) waseMapulazini eNanda uhleli emakhandleleni ulinde imali kamasingcwabisane wakhe waseStandard Bank.

Umndeni uthe imali ivinjwe wukuthi owayebhalwe nguNksz Mbutho ukuthi uyothola imali uma yena eshona udonsa iminyaka ejele laseWestville.

Izolo umndeni uphoqeleke ukuthi ubuyele ejele eWestville uyothola enye incwadi yemvume endodaneni kaMbutho uMnuz Siyabonga Mbutho (34) ukuze ibhange likhulule imali yomngcwabo.

Kuyimanje bakweleta abamakhaza u-R6000 ngokubagcinela isidumbu abathi basabisa ngokusikhiphela ngaphandle uma kuphela amasonto amabili bengasithathile.

Umyeni kaNksz Mbutho, uMnuz Enoch Mthembu (61), uthe umkakhe obehlushwa yisifo samathambo washonela ekhaya ngemuva kokuxinwa yiphika.

“Kwasiphatha kabuhlungu ukushona kwakhe kodwa asikhathazekanga kakhulu ngoba sasazi ukuthi sizomngcwaba ngesizotha. Wayehlezi esitshela ukuthi yena ngeke abe wuhlupho uma eseshonile ngoba unomasingcwabisane wakhe asewukhokhele iminyaka. Sethuka uma siya ebhange sithola ukuthi ngeke iphume imali yakhe ngoba uSiyabonga akasayinanga. USiyabonga waboshwa eminyakeni emithathu edlule futhi usazohlala ejele ngoba wagwetshwa iminyaka ngemumva kokulahlwa yicala lokubulala,” kusho uMthembu.

Uthe abasazi ukuthi bazokwenzenjani ngoba kade behla benyuka ebhange nasejele bezama ukulungisa lolu daba.

“Uyazi le nto ingiphatha kabuhlungu. Sekuphele ngisho nemadlana ebesinayo namakhandlela esiwakhanyisa mihla namalanga abiza eyawo imali. Ngisho nabantu ababefika bezosikhalisa sebaze bakhathala. Ikhansela lendawo lithe kungani singamyeki angcwatshwe uhulumeni okusiphathe kabi ngoba lo muntu wayekuhlinzekele ukushona kwakhe,” kuchaza uMthembu ekhala.

Indodakazi kaNksz Mbutho, uNksz Phindile Mbutho (20), ithe eStandard Bank baqale bathi abaye ejele bayothola incwadi esayiniwe esuka kuSiyabonga ebavumela ukuthi bakhiphe imali.

“Sakwenza lokho kwathiwa asilinde amahora angu-48 imali izongena ebhange kodwa akuzange kwenzeke. Sibe sesiphindela khona bathi asiphinde sibuyele ejele ngoba incwadi yokuqala yayingenaso isigxivizo. Sikwenzile lokho kodwa lutho imali. Abasemakhazeni sebeqala ukusithethisa banovalo lokuthi sizokwazi yini ukukhokha imali yabo,” kusho uPhindile.

Okhulumela iStandard Bank osemahhovisi abo amakhulu aseGoli, uMnuz Ross Linstrom, owacela ukuthunyelelwa yonke imininingwane kamufi ukuze aqhubeke nophenyo, ethintwa uthe: “Ngiyitholile imininingwane kodwa kuzongithatha isikhashana ukuthi ngenze uphenyo ebese ngiyakwazi ukukunika impendulo efanele. Ngicela umndeni ungibekezelele ngiyazi ukuthi bakhathazekile kodwa ngizozama okusemandleni ukubasiza,” kusho uLinstrom.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>