Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Kubulawe obeyisikhulu babhiyoza

$
0
0

S’MANGELE ZUMA

|||

S’MANGELE ZUMA

KUBE nenhlokomo kwamanye amaphoyisa kaMasipala weTheku izolo ngesikhathi kuzwakala imibiko yokubulawa ngesihluku kwesikhulu sawo uMnuz Innocent Chamane (52), othelwe ngoyaba lwezinhlamvu ngaphandle komuzi wakhe KwaNgcolosi, ngoLwesibili ebusuku.

Abanye abebesebenza naye bahlulekile wukuzibamba bezwakalisa ukujabula bathi baphumule wuChamane obebaphethe ngesandla sensimbi.

Kukhona omunye wozakwabo oze wabhala kuFacebook, igama lakhe kule nkundla okunguMxolisi Dlamini, othe baningi abantu abaxoshiwe, nabaqoka ukushiya emaphoyiseni kamasipala ngenxa yokuhlukunyezwa nguChamane.

Kushaye isikhathi sokushicilela usakhona lo mbhalo kuFacebook lapho ebenaphaza khona uChamane ethi wayekhohlakele.

Uthe kuyena nje akukho nokuncane okudikizayo ngokubulawa kwalesi sikhulu.

Kuthiwa uChamane ubehleli nengoduso yakhe kwakhe ngesikhathi ebona umuntu egcekeni, kuthe lapho ephuma, wazithela kwimvula yezinhlamvu ezilinganiselwa ku-18, wathulela khona lapho.

Lesi sikhulu sike saba sematheni ngoJuni nyakenye ngesikhathi iSunday Tribune ibika ukuthi amaphoyisa akwamasipala akhala ngokungabi nazo izinja ezanele zokusebenza kepha uChamane wazinqaba izinja ezazinikelwa ngamalungu omphakathi.

Nephephandaba iThe Mercury like labika kaningana ngezinsolo zenkohlakalo ezibhekiswe kuChamane.

Izolo umasipala weTheku udlulise amazwi enduduzo emndenini kaChamane bezwakalisa ukukhathazeka njengomuntu obewusebenzela kodwa abafunanga ukuchaza kabanzi ngokufa kwakhe.

“Imbangela eholele ekubulaweni kwakhe ayikaziwa okwamanje. Amaphoyisa asaphenya,” kusho okhulumela umasipala weTheku, uNksz Tozi Mthethwa.

Ngesikhathi Isolezwe livakashele umndeni lifike kunomhlangano wezingane zikaChamane nabazalana naye, izingane zikhala ngokuthi zibekwa ngaphandle emalungiselelweni omngcwabo.

Udadewabo kaChamane uNkk Phumzile Kwitshana, uthe akukho okungako angakuphawula ngoba naye ubesafika engakatholi kahle ukuthi kwenzekeni.

“Amanye amalungu omndeni abengachaza kahle ngalolu daba asaye esiteshini samaphoyisa. Nami nje ngisakhungathekile ngalokhu okwenzeke kumfowethu,” kusho uNkk Kwitshana ngamafuphi.

Amalungu omphakathi abebonakala ukuthi asashaqekile athe uChamane ufike ngonyaka odlule endaweni, futhi ubengumuntu obezithulela.

“Besimbona nje uma ephuma noma ebuya ngemoto yakhe, sibingelelane kube kuphela. Siyasola ukuthi labantu abambulele abazana naye kudala ngoba la endaweni ubengenazitha,” kusho elinye ilungu lomphakathi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker, uthe amaphoyisa aseHillcrest avule icala lokubulala.

“Utholakale namanxeba okudutshulwa ekhanda nasemzimbeni. Imbangela yokubulawa kwakhe ayikaziwa. Bekungakaboshwa muntu okwamanje,” kusho uNaicker.


Kusize umphakathi kubanjwa inyanga

$
0
0

Umsolwa uzobhekana necala lokubulala uNawaaz Khan (23) (osesithombeni) wakhona eMzinto.

Inyanga kuthiwa yatshela umngani kamufi, uMnuz Thando Duma (21), ukuthi idinga ikhanda lowomdabu wasendiya ukuze ithake umuthi ezomelapha ngawo

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

UMPHAKATHI waseMzinto uzibambele inyanga ebifunwa ngamaphoyisa ngecala lokushumpula ngobhushu ikhanda lomuntu.

Umsolwa oneminyaka engu-31 waseMalangeni, okukholwa ukuthi uyinyanga uboshwe ngamaphoyisa aseMzinto kulandela ukukakwa komuzi abewuvakashele ngamalungu omphakathi ngoLwesibili ebusuku.

Umsolwa uzobhekana necala lokubulala uNawaaz Khan (23) (osesithombeni) wakhona eMzinto.

Inyanga kuthiwa yatshela umngani kamufi, uMnuz Thando Duma (21), ukuthi idinga ikhanda lowomdabu wasendiya ukuze ithake umuthi ezomelapha ngawo.

UKhan kwabikwa ukuthi ulahlekile, nokwathi uma sekuphenywa umngani wakhe uDuma wavele wakhihla isililo maqede wahlanza konke ngokubulala umufi. UDuma waboshwa ngecala lokubulala.

Isidumbu sikamufi satholwa sigqitshiwe ethuneni elingashoni ehlathini. Kusukela ngempelasonto bekuthungathwa ikhanda lakhe elize latholwa ngoLwesibili ebusuku selonakele.

Leli khanda kuthiwa belihlukene kaningi, ulimu, amehlo nalo ikhanda uqobo. Leli khanda kuthiwa belifihlwe ehlathini elisePark Rynie khona eMzinto.

Ngokuthola kweSolezwe kuthiwa lezi zicubu zekhanda bezihlukanisiwe kubalekelwa ukuthi zingonakali kakhulu, ukuze zizokwazi ukusebenziseka.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Nqobile Gwala umphakathi yiwona oholele ekuboshweni komsolwa.

“Umphakathi waseMsholozi uvele wagcwala komunye umuzi obekuthiwa umsolwa uvakashele kuwo. Umsolwa oneminyaka engu-31 ube esethathwa ngamaphoyisa. Kumanje uboshiwe. Uzobhekana necala lokubulala. Uzovela maduzane enkantolo yaseMzinto. Sibonga kakhulu emphakathini waseMzinto nekomiti elilwa nobugebengu kuleya ndawo ngokusilekelela ekuboshweni kukamsolwa,” kusho uGwala.

Ikhanda kuthiwa lisazohlolwa ukuze kuqinisekiswe ukuthi ngelikamufi.

UDuma kulindeleke avele enkantolo yaseMzinto ukuzofaka isicelo sebheyili ngoNovemba 19.

USihlalo wezinyanga KwaZulu-Natal, uMnuz Sazi Mhlongo, uthe uyaphoxeka ngabathakathi abazibiza ngezinyanga.

“Umsolwa kuleli cala akayona inyanga ngoba ayikho inyanga elapha isebenzisa amakhanda abantu, lo muntu ngumthakathi. Abantu nabo kumele bafunde ukuthi labo abathi bazobenzela umuthi wokuceba ngamakhanda abantu noma izicubu zabantu basuke bebakhohlisa,” kusho uMhlongo.

Abagibeli babulale umshayeli wetekisi

$
0
0

Isigameko sokubulawa kukaMnuz Lucky Cebekhulu (38) ngoMsombuluko ntambama namanje umphakathi wakule ndawo usakhuluma ngaso.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

USASHAQEKILE umphakathi waseMpangeni ngokubulawa komshayeli wetekisi, othelwe othulini ngenhlamvu ngabagibeli ababili ngesikhathi sebehla.

Isigameko sokubulawa kukaMnuz Lucky Cebekhulu (38) ngoMsombuluko ntambama namanje umphakathi wakule ndawo usakhuluma ngaso.

Ngokuthola kweSolezwe uCebekhulu kade eshayela itekisi ephuma eGoli eya eMpangeni ngesikhathi ehlaselwa ngabantu abebagibelisile emgwaqweni u-R34 eMpangeni.

Kuthiwa abasolwa bacele ukwehla etekisini, ngesikhathi sebehla bavele bavulela ngenhlamvu babulala umshayeli maqede babaleka ngezinyawo.

Kuwo lowo mnyama kube sekuqhamuka iphoyisa lesiteshi saseShowe ebelingekho emsebenzini.

Leli phoyisa ebelizihambela ngemoto yalo, lisolile ngesikhathi libona abesilisa ababili bebaleka ngezinyawo lavele labalandela.

Iphoyisa, igama lalo Isolezwe linalo kodwa ngeke lidalulwe ngenxa yophenyo oluqhubekayo, libe selisizwa wumphakathi labamba omunye wabasolwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Nqobile Gwala, uqinisekisile ukuthi kuboshwe umsolwa oyedwa ngecala lokubulala umshayeli wetekisi abekade eyigibele.

“Umshayeli wetekisi udutshulwe ngabesilisa ababili ngesikhathi behla etekisini abeyishayela eMpangeni. Abasolwa babe sebebaleka ngezinyawo. Iphoyisa laseShowe ebelingekho emsebenzini libone abasolwa bebaleka labe selibalandela. Iphoyisa lithole ngabazibonele lesi sigameko ukuthi laba babalekela isenzo sokudubula umshayeli. Iphoyisa lisizwe wumphakathi ukugcina libambe umsolwa obephethe isibhamu i-revolver nezinhlamvu ezintathu. Umsolwa uzobhekana necala lokubulala kanti uzovela enkantolo yaseNgwelezane maduzane,” kusho uGwala.

Olunye uphenyo luyaqhubeka ukuze kuboshwe umsolwa wesibili kulesi sigameko.

Isibhamu esitholwe kumsolwa sisazohlolwa ukuze kuvele ukuthi ngabe siyathinteka yini kwamanye amacala.

Ilungu lomphakathi elincinze Isolezwe ngalesi sigameko langathanda ukuzidalula igama lithe namanje basashaqekile ngalesi sigameko.

“Kumanje sithukile ngendlela laba bagibeli ababulale ngayo umshayeli. Nathi siwumphakathi siyesaba manje ukugibela amatekisi ngoba asazi ukuthi sizohlaselwa yini ematekisini,” kusho ilungu lomphakathi.

Imizamo yokuthola umndeni kaCebekhulu izolo ayizange iphumelele kanjalo nomnikazi wetekisi.

Umkhuzi wamaphoyisa uLieutenant General Mmamonnye Ngobeni uncome umsebenzi waleli phoyisa elizidele lingekho emsebenzini lajaha abasolwa.

“Siyathemba ukuthi omunye umsolwa uzoboshwa maduzane. Ukuzimisela kwaleli phoyisa namalungu omphakathi kube impumelelo njengoba kube khona oboshwayo kulesi sigameko,” kusho uNgobeni.

Ichithiwe imishado kaNgizwe

$
0
0

Liphume nobomvu kunkosikazi wokuqala kaNgizwe Mchunu ngesikhathi iNkantolo ePhakeme eThekwini ivuna isicelo sakhe.

|||

TANIA BROUGHTON noPHUMLILE NTSELE

LIPHUME nobomvu kunkosikazi wokuqala womsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu uNkk Sphelele MaNxumalo Mchunu, ngesikhathi iNkantolo ePhakeme eThekwini izolo ivuna isicelo sakhe sokuyithatha njengento engekho imishado emibili yakamuva yalo msakazi namakhosikazi akhe uLindi MaKhuzwayo Mchunu noNqobile MaMthimkhulu Mchunu, abashade engayitholile imvume kuyena okuyinto ephambene nemigomo yemishado yesithembu noMthethosisekelo kuleli.

Imigomo yemishado yesintu ikubeka kucace ukuthi indoda efisa ukuganwa yisithembu kufanele ixoxisane nonkosikazi wokuqala avume ngaphambi kokuba igcagcelwe okuyinto okuvele ukuthi lo msakazi akayenzanga waqhubeka washadelwa kabili ngemuva kukaMaNxumalo nokwamenza wanikela eNkantolo ephikisa le mishado.

Ongoti bezamasiko nomthetho bathe lo msakazi ushaywe wukuqina komthetho ezinkantolo uma kuza ezindabeni ezithinta imishado yesintu noMthethosisekelo okusetshenzwa ngawo ovune unkosikazi wokuqala.

USolwazi Velaphi VVO Mkhize wesikhungo uMsamo Institute uthe ngokwesintu indoda iyaxoxisana nonkosikazi wokuqala icele ukuthatha isithembu kodwa uma kungenzekanga lokho kusuke konakele.

“Isintu sithi isithembu siyacelwa kunkosikazi wokuqala bese kuvunyelwana, uma engavumanga ngeke indoda iqhubeke ngoba leyo mishado kayikho. Lokhu kusho ukuthi nasesimeni somsakazi unkosikazi akavumanga kanti noMthethosisekelo awuvumi ukuba kuhlukunyezwe amalungelo akhe,” kusho uMkhize.

Ngakolunye uhlangothi lo ngoti uthe ngokwesintu akaphaphalazanga kangako ngesithembu uma owokuqala ayemshade ngesintu kuphela engazange ayifake iveyili okungumshado obuqhakambiswa ngokuthi usemthethweni ezinkantolo, wathi nokho kucacile ukuthi nemishado yesintu isiyavikelwa ngoba unkosikazi omdala uvunwe yinkantolo.

UNkk Bridgette Shabalala oyisazi sezomthetho uthe isithembu uma singavunyiwe ngunkosikazi omdala kasikho emthethweni, umshado olandela lapho kawuthi shu.

Ngokwamaphepha aseNkantolo afundwe yiJaji uJohan Ploos van Amstel iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iThe Mercury elinawo, uMaNxumalo wafaka isimangalo ngokuthi ngo-2012 lo msakazi wathatha unkosikazi wesibili (uMaKhuzwayo) washada naye ngokwesintu waphinda futhi washadelwa nguMaMthimkhulu ngo-Okhtoba wonyaka odlule.

Enkantolo kuvele ukuthi uNgizwe wathumela uMaNxumalo i-sms emazisa ngesinqumo sakhe sokugcagcelwa okwesithathu nguMaMthimkhulu. UMaNxumalo uthe lokho kwamhlukumeza kakhulu ngoba wayezithwele.

Ulandise inkantolo ngobuhlungu abuzwa kwasekuqaleni ethatha uMaKhuzwayo engazisiwe futhi engavumile wezwa ngamalungu omndeni. Uthe ubehlala ephoqwa ukuya emicimbini yomndeni uma kwamukelwa amakhosikazi alo msakazi nobekumenza azizwe engelutho futhi ehlukunyezwa kwazise ukuthi yonke le mishado ibilandelwa nangabezindaba kube sengathi konke kuhamba kahle.

Usola uNgizwe ngokusebenzisa amandla akhe ukuzenzela umathanda ngokungalandeli imigudu efanele waze waphoqeleka ukusebenzisa inkantolo.

Ukushada kwalo msakazi umshado omhlophe isinyenyela noMaMthimkhulu uthi kwavusa amanxeba akudala. Wathi wazama ukuveza ukuthi akufanele kwenzeke kwazise ukuthi yena ushade ngokwesintu okumenza unkosikazi ongathi shu wabona ukuthi kufanele asukume alwe ngenkantolo.

“Ngesikhathi eshada nami ngokwesintu wangifikela umcabango wokuthi angase athathe unkosikazi wesibili kodwa angizange ngicabange ukuthi uzophula imigomo elandelwayo,” usho kanje enkantolo.

Ngesikhathi leli cala liqhubeka uMaMthimkhulu (unkosikazi wesithathu) wathi uzolinda izeluleko zabameli bakhe ngaphambi kokusayina amaphepha enkantolo kanti noMaKhuzwayo uzwakalise ukungaphikisani nesinqumo seNkantolo.

Leli phephandaba lizamile ukuxhumana nalo msakazi namakhosikazi akhe izolo kepha izingcingo bezivaliwe kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

Ukhale ngothando umfana ozilengisile

$
0
0

Uvalelise sakudlala emndenini wakhe umfanyana oneminyaka engu-11 otholakale elenga esihlahleni.

|||

S’MANGELE ZUMA

UVALELISE sakudlala emndenini wakhe umfanyana oneminyaka engu-11 uKwanele Shezi otholakale elenga esihlahleni esingezansi komuzi kagogo wakhe izolo ekuseni, KwaNqetho, KwaNgcolosi.

Kuthiwa ngoLwesibili ntambama ufike kwagogo wakhe ebukeka sengathi udle isidakamizwa esithile ebatshela ephindelela ukuthi useyozibulala ngoba uyabona ukuthi akekho umuntu omthandayo emndenini.

Ugogo wakhe uNkk Nomathemba Gwala (53), uthi ushaqekile ngesikhathi ebuya emsebenzini bemtshela ukuthi uKwanele ufike wabalwisa maqede wathi uyozibulala.

“Umamncane wakhe uthi ubatshele ukuthi uyozibulala ngoba asimfuni. Uthe ngesikhathi ethi uyambamba ufuna ukumnuka emlonyeni ukuthi ngabe udleni wabaleka wama buqamama. Uthi ube esemqhulula ngamatshe maqede wavalelisa kudadewabo wathi uyozibulala. Abazange banake bezitshela ukuthi uyadlala. Nami ngizitshele ukuthi ukubo kababa wakhe lapho ebehlala khona uzobuye abuye,” kusho uNkk Gwala.

Uthi uthukile ngesikhathi kufika indodakazi yakhe, unina kaKwanele uNksz Hlengiwe Shezi (32) imtshela ukuthi ufikile kuye emqashweni wathi uzovalelisa useyozibulala.

“Yilapho esiqale khona sihambe simfuna khona ngobusuku kodwa sangamthola. Unina uyile kubo eyongqongqoza kepha bangavula wazitshela ukuthi bayamfihla ngoba besaba ukuthi uzoshaywa. Ibuhlungu inhliziyo yami ngoba ubengeve engikhonzile. Konakale ukuthi afike ngingekho mhlawumbe bengizokwazi ukumnqanda,” kusho uNkk Gwala.

Uthe uvuke ngovivi ethi uya kubo kaKwanele ukuyokwenza isiqiniseko sokuthi ulale khona ngempela kepha wazithela kuye elenga esihlahleni esingezansi komuzi.

UNksz Shezi, uthe isenzo sendodana yakhe simshiye nemibuzo eminingi angakwazi ukuyiphendula.

“Ufikile kimina emqashweni ngoLwesibili ebusuku ngazitshela ukuthi ungivakashele. Ngibe sengimtshela ukuthi akageze wathi usathunyiwe wabe ephuma ehamba. Ngithe uma ngimbiza wathi angimyeke ubezovalelisa useyozibulala ngoba asimthandi, maqede wagijima. Ngibe sengimlandela ngizitshela ukuthi ngizomfica ekhaya. Kusho ukuthi ubecashe emhosheni elinde ukuthi silale ukuze akwazi ukuzibulala. Angazi ukuthi yiluphi lolu thando abekhala ngalo ngoba besenza konke okusemandleni ethu ukumbonisa uthando,” kusho uNksz Shezi.

Uthe ubesalindele lukhulu endodaneni yakhe ebifunda uGrade 6 eNhlangano Primary.

“Angazi ubengenelwe uSathane wani ngoba ubengumfana obelungile futhi obethanda ukuziyela esontweni. Ubephatheke kabi nje ukuthi akakwazanga ukuya enkonzweni enkulu ebiKwaNyuswa ngoMgqibelo ngenxa yokuthi besingenayo imali yokumgibelisa. Ubesithanda kakhulu isikole futhi ehlale esitshela ukuthi uma esemdala uzoba yiphoyisa noma ummeli. Ngifisa engabe usitshelile obekumphatha kabi ukuze sizokulu-ngisa,” kusho uNksz Shezi.

Ngesikha-thi Isolezwe livakashele umndeni omakhelwane bebelokhu bethelekile ukuzokhuza lo mhlola.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal uMajor Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseHillcrest avule icala lokufa komuntu ngemuva kokutholakala komfana ona-11 elenga esihlahleni.

Uthe amaphoyisa asaphenya imbangela yalesi sehlakalo.

UNyazilwezulu luzokhuleka eNyokeni

$
0
0

Kulindeleke ukuthi kube mhlophe amagceke esigodlweni seSilo samabandla eNyokeni, KwaNongoma kule mpelasonto.

|||

MLUNGISI GUMEDE

KULINDELEKE ukuthi kube mhlophe amagceke esigodlweni seSilo samabandla eNyokeni, KwaNongoma kule mpelasonto njengoba kuzobe kukhona izinkulungwane zamalungu ebandla lakwaShembe ohlangothi lwaseBuhleni ziphelezela umholi wazo uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe ozobe ezokhuleka.

UNyazi luzobe luseNyokeni kusasa nangeSonto luzokhulekela uMkhosi woSelwa ozoba ngoDisemba 22 kuya kuDisemba 26 nonyaka, lapho kusuke kubulawa khona inkunzi yenkomo ngezandla ukuba uhambe kahle.

Lona ngumkhosi omdala waseNdlunkulu phambilini obewaziwa ngokuthi uMkhosi wokweShwama.

Lo mkhosi waqala ngesikathi kusabusa iLembe uShaka kaSenzangakhona okunguyena owabumba isizwe samaZulu.

Okhulumela iNdlunkulu kaZulu, uMntwana uThulani Zulu, uthe kule mpelasonto uNyazi kulindeleke ukuba luhole izinkulungwane zabalandeli balo eNyokeni lapho kuzobe kukhulekelwa uMkhosi woSelwa.

Uthe ukuhambela kukaShembe esigodlweni seSilo kuqale kudala ngo-1913, ngesikhathi uMqaliwendlela uMphrofethi u-Isaiah Shembe ehambela oSuthu ezokhuleka ngesikhathi kusabusa iSilo uDinizulu.

“UMphrofethi u-Isaiah akasificanga iSilo ngaleso sikhathi ngenxa yezimo ezazikhona kodwa iSilo uDinizulu sona sahlangana naye saze samnika indawo eLindantonga lapho kukhona ibandla lakwaShembe. ISilo uDinizulu saze saganwa udadewabo kaMphrofethi u-Isaiah lokho okwabenza baqina ubudlelwano phakathi kukaShembe neNdlunkulu kaZulu,” usho kanje.

UMntwana uThulani uthe kungenxa yalo mlando owenza iSilo esikhona manje ukuba sifune ukuvuselela ubudlelwano njengoba simema ibandla lamaNazaretha ukuba lizofeza umbono kaMphrofethi u-Isaiah wokuthi kukhulekelwe isizwe.

Uthe abaholi bakahulumeni wesifundazwe kubalwa noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Senzo Mchunu kulindeleke ukuba bafike bazozimazisa emkhulekweni.

Uhlangothi lwaseThembezinhle oluholwa uMntanenkosi uVela “Imisebeyelanga” Shembe luke lwasola iMbube ngokuthi kubukeka sengathi icheme noNyazi njengoba kunecala lombango wobuholi oqhubeka eNkantolo eNkulu yaseThekwini emva kokuthi yahambela umcimbi lapho kwakwethulwa khona isiteshi sethelevishini soNyazi, iShembe Unyazi TV, esidlala kwi-Open View HD.

Ubulawe watholwa nenyama abeyebile

$
0
0

Ibulawe yashiywa nenyama okuthiwa ibiyintshontshile indoda KwaFelekisi, ngaseManzimtoti.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

IBULAWE yashiywa nenyama okuthiwa ibiyintshontshile indoda KwaFelekisi, ngaseManzimtoti, izolo.

UMnuz Zakhele Nzimande (26) kukholakala ukuthi utholwe ngabantu abebeya emsebenzini ekhandwe ngamatshe eseshonile ekuseni izolo KwaMatashini.

Kuthiwa ushaywe waze wafa ngamalungu omphakathi amjahe aze ambamba nabehamba nabo.

Eduze kwakhe bekukhona ibhakede ebeligcwele inyama engaphekiwe nopholoni okukholakala ukuthi bebegqekeze endaweni thize kodwa okungaziwa ukuthi yikuphi.

Esinye sezakhamuzi esicele ukuba singadalulwa sitshele Isolezwe ukuthi bawuzwile umsindo wequlu labantu ebelijaha izigebengu sekuzosa izolo, okuthe ekuseni babona amadoda amathathu elele eduze komgwaqo elimele kakhulu.

Umthombo uthe kufike izimoto ezimbili zathatha ababili, othe ucabanga ukuthi bekuyizihlobo zabo ngoba bathe babaphuthumise esibhedlela kanti kunezinsolo zokuthi uNzimande ubevele eseshonile ngesikhathi kuthathwa laba ababili.

“Asazi ukuthi bebentshontshe kuphi kodwa bese sikhathele sigqekezelwa ngabantu esingabazi kule ndawo. Naye lo obulewe kasimazi kodwa sizwe kuthiwa ngowaKwaMakhutha,” kusho isakhamuzi.

Unina kamufi akathandanga negama lakhe ngoba ethi unqena ukuthi umqashi wakhe ejalidini uzombheka njengomuntu omubi ngenxa yesimo indodana efele kuso.

Uthe yena ushayelwe ucingo izolo ekuseni ngabantu abamaziyo bethi akaphuthume babona sengathi nguZakhele lo olele phansi oseshonile.

“Bese ngifikile emsebenzi ngesikhathi ngithola ucingo lungazisa,” kusho unina.

Okhulumela amaphoyisa, uMajor Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aKwaMakhutha avule icala lokubulala emva kokutholakala kwendoda eneminyaka (26) eshaywe ngumphakathi.

Abezwa mshini abazondla ngodoti

$
0
0

Sekushaya umoya endaweni yokulahla udoti lapho okushiswe khona imoto yamaphoyisa kaMasipala weTheku.

|||

S’MANGELE ZUMA

SEKUSHAYA umoya endaweni yokulahla udoti lapho okushiswe khona imoto yamaphoyisa kaMasipala weTheku ngoLwesithathu. Izolo abahlali basemjondolo yakuKennedy Road batholane phezulu namaphoyisa amathathu agcine ngokulimala.

La maphoyisa abuyelile kule ndawo engaphandle kwaseClare Estate ukuqinisekisa ukuthi abacoshi bakadoti abasawuphuli umthetho ngokungena kuyo.

Athi asezoqapha nsuku zonke ukuze laba bantu bawuyeke lo mkhuba ngoba ubeka impilo yabo engcupheni futhi ungcolisa umgwaqo.

“Thina sicelwe abakwadoti ukuthi sixoshe abantu abakotela amaloli kuchitheke udoti ugcwale umgwaqo ngesikhathi beweba emalolini.

Sesizoqapha nsuku zonke kule ndawo. Sizofika ngobuningi bethu ngoba laba bantu bayingozi. Khona kubuhlungu ukuthi kunabantu abaziphilisa ngokucosha udoti. Bathatha ngisho ukudla osekonakele okungabalethela izifo. Bona babona sengathi sihlekisa ngokuhlupheka kwabo kepha sisiza bona,” kusho elinye lamaphoyisa elingavumelekile ukuphawula kwabezindaba.

Abacosha udoti nabo bathi balinde amaphoyisa asuke kule ndawo ukuze bezoqhubeka nomsebenzi wabo asebewuqhube iminyaka engu-10.

“Amaphoyisa ayasisabisa nje futhi azichithela isikhathi. Ajwayele ukuyenza le nto asuse umsindo izinsukwana bese eyakhathala. Okubi nje ukuthi ngesikhathi besaphethwe ilokuphapha kwabo thina ayikho inzuzo esiyenzayo. Asifuni nokusondela ngakhona ngoba bangaze bathole ithuba lokusibopha njengoba sishise imoto yabo. Sizobekezela ngoba siyazi ukuthi le nto yabo umlilo wamaphepha,” kusho omunye ocosha udoti ongathandanga ukudalulwa.

Omunye umshayeli uMnuz Siphamandla Nxele (29) osebenzisa umgwaqo uBisassa lapho leli qeqebane eligcwala khona, uthe kumnandi kabi njengoba bexoshiwe.

“Awusazi isiminyaminya esibangwa ilaba bantu. Bakotela phezu kwamaloli basaphaze udoti ugcwale umgwaqo, singakwazi nokudlula kahle. Ngihlezi ngimincile uma ngidlula kule ndawo ngoba ngisaba ukuthi omunye wabo uzophahlazeka phansi alimale ngesikhathi ekotele imoto kadoti. Okubuhlungu ukuthi kukhona nabesifazane nezingane asebejoyine leli qeqebane,” kusho uMnuz Nxele.

Okhulumela uMasipala weTheku uNksz Tozi Mthethwa uthe amaphoyisa amathathu alimale kulesi sigameko aphuthunyiswe esibhedlela, adedelwa emuva kokuxilongwa .

“Kuthiwa iqulu labantu lijikijele imoto yamaphoyisa ngamabhomu kaphethiloli yasha yangqongqa. Abekho abashonile kulesi sigameko. Amaphoyisa asaphenya ngalolu daba,”kusho uNksz Mthethwa.


Uzoqondiswa ubugwegwe uMcoyi

$
0
0

Uzovela ekomitini eliqondisa ubugwegwe namhlanje umholi weNFP uMnuz Wiseman Mcoyi.

|||

MLUNGISI GUMEDE

UZOVELA ekomitini eliqondisa ubugwegwe namhlanje umholi weNFP uMnuz Wiseman Mcoyi mayelana namacala abekwe wona.

UMcoyi oyilungu lesigungu sikazwelonke kwiNFP usanda kuthunyelelwa incwadi embizela ekomitini eliqondisa ubugwegwe.

Lo mholi ubhekene namacala amane okubalwa elokuphula umgomo wenhlangano wokungagqugquzeli ubumbano, ukudala uqhekeko, ukusenga ezimithiyo azibize ngomkhulumeni wesigungu sikazwelonke ngoba efuna ukufeza izinhloso zakhe nokudala udungunyane enhlanganweni.

Engxoxweni neSolezwe izolo uMcoyi ukuqinisekisile ukuthi uyitholile incwadi embizela ekomitini eliqondisa ubugwegwe namhlanje.

“Ngizoya ngiyozwa ukuthi bathini kodwa angithukile,” usho kanje.

UMcoyi uthe phakathi kokunye asolwa ngakho wukuthi ubezibiza ngomkhulumeli wesigungu sikazwelonke kwabezindaba.

“Okunye abangisola ngakho bathi ngathumelela abaholi abakhethwa ngokusemthethweni izincwadi zokuthi bayaxoshwa enhlanganweni,” usho kanje.

Uthe lena yincwadi yesibili athunyelelwa yona ngoba eyokuqala yaze yaphelelwa yisikhathi lingahlalanga ikomiti.

“Isono sami wukuthi ngakhethwa ukuthi ngibe yilungu leNWC ngumengameli weqembu uNkk Zanele Magwaza-Msibi (ekubeni) konke okusondelene nomengameli akufunwa,” usho kanje.

Encwadini uMcoyi udonswe ngendlebe kwathiwa kumele enze isiqiniseko sokuthi uyavela ekomitini ngoba uma engafikanga isinqumo ngaye sizothathwa noma engekho.

UMcoyi uphinde waxwayiswa ngokuthi angafiki nommeli wakhe ngoba okwamanje kusalandelwa imigudu yangaphakathi enhlanganweni.

IPhini likaSihlalo weNFP KwaZulu-Natal uMnuz Ericson Zungu, lithe udaba lukaMcoyi kalusingethwe isifundazwe kodwa luphethwe ngubuholi bukazwelonke.

UMcoyi ungomunye wamakhansela eqembu angaphezu kuka-30 akade ekhonjwe indlela kodwa abuya emva kokuvunwa yinkantolo eNkulu yaseMgungundlovu eyathi ukuxoshwa kwawo kwakungekho emthethweni.

Ilungu leNational Executive Committee (NEC) uNkk Sindi Maphumulo-Mashinini likuqinisekisile ukuthi uMcoyi uzovela ekomitini eliqondisa ubugwegwe kodwa langathanda ukwenaba kakhulu ngalolu daba.

Uzigqugquzela|yena obhale ngezinyawo

$
0
0

Ukungakwazi ukusebenzisa izandla akuzange kumvimbe ukuthi abhale izivivinyo zika-matric esebenzisa izinzwane.

|||

ZAINUL DAWOOD

UKUNGAKWAZI ukusebenzisa izandla akuzange kumvimbe ukuthi abhale izivivinyo zika-matric esebenzisa izinzwane.

UMnuz Nkosinathi Duma (28) waseThekwini, ngoLwesithathu ubhale iphepha lokugcina le-Economic Management, elithathe amahora amathathu esikhungweni sabadala i-Hope Adult Education Centre eWentworth. UDuma wazalwa izingalo zingemuva okumenza angakwazi ukuzisebenzisa.

Ukuze umzimba wakhe usekeleke izandla endwangwini phansi uma ehleli phansi ekilasini. Ngesikhathi kubekwa iphepha, uDuma ulipheqe ngezinzwane, ngemuva komzuzu wabhala igama lakhe nenombolo yokubhala ngasenhla kwekhasi.

Usebenzisa ne-calculator ngazo izinzwane. Uhamba ngale kokusebenzisa izinduku.

Kumanje uhlala eMerewent Cheshire Home. Isikhungo afunda kusona sisebenzisa ihholo laseStella Memorial Trust ukubafundisa. Basebenzisa umsebenzi wezandla omdala namatafula okudlela njengama-deski, ubude bawo obenza kube nzima ukuthi afinyelele phansi.

Izivivinyo zibhalelwa esikoleni i-Internship Fellowship kanti uDuma akakwazanga ukuthola isihlalo netafula elilungele isimo sakhe yingakho ehlala phansi.

Uthishanhloko uNksz Mandisa Radebe, uthe abafundi babhala imfundo yabadala i-Adult Basic Education and Training kuLevel 4 elingana no-matric. Bayishumi abafundi abenza uLevel 4.

“UDuma uhlakaniphile futhi siyazama ukumenza azethembe ukuze enze kahle kakhulu. Isimo sakhe sihlukile kwesabanye, unamahloni. Sekuneminyaka emibili enathi futhi uyisebenzisa kahle nekhompyutha,” usho kanje. UDuma okhulumela phansi, uselibhalile iphepha lesiNgisi, Life Orientation, Maths Literacy neTravel and Tourism.

Ngesikhathi ebhala ngoLwesithathu unikwe imizuzu engu-15 eyengeziwe ukuze aphothule izivivinyo. “Unayo yonke imininingwane kodwa isikhathi sincane. Uma singaba nekhompyutha ne-printer yabafundi kungaba lula. Bangabhala izimpendulo kwikhompyutha bese siyazibhala kodwa kube kukhona abagadile,” kusho uNksz Radebe.

Uma bephasa bazobalwa nabafundi abaphothule u-matric bathole izitifiketi ngaphansi kwemfundo yabadala ngonyaka ozayo.

Uthe isikole sishoda ngamadeski, azohambisana nabafundi abahamba ngezihlalo ezinamasondo, amakhompyutha nama-printer.

Lesi sikole sinothisha abahlanu abafundisa abafundi abayishumi ababafundisa amahora amabili ngosuku. “Izikhungo zabadala azibabhekeli abafundi abakhubazekile yingakho kushoda izinsiza. Akhona amadeski nezihlalo abangazisebenzisa kodwa . US’bongile Phakathi, oyibamba likathishanhloko obemele uMnyango weMfundo ePhakeme njengoba kubhalwa, uthe kuyamangaza ukuthi uDuma uziqeqeshile ngokuzigqugquzela yena.

Sekusele ezikoleni ukubhala i-ANA

$
0
0

Sukulele ezikoleni ukuthi ziyazibhalisa yini izivivinyo zamabanga aphansi i-ANA.

|||

MHLENGI SHANGASE

SUKULELE ezikoleni ukuthi ziyazibhalisa yini izivivinyo zamabanga aphansi i-Annual National Assessments (ANA) njengoba sezingaphoqiwe ukuthi zizibhalise lezi zivivinyo kulo nyaka.

Lokhu kuqukethwe yisivumelwano esizosayinwa namhlanje ePitoli yizinyunyana zothisha noMnyango weMfundo eyisiSekelo.

Lezi zivivinyo bekumele zibhalwe kusuka ngoDisemba 1 kuya kuDisemba 4 nonyaka kodwa izinyunyana zashaya phansi ngonyawo zathi ngeke zibhalwe.

Umnyango ubukeka ugcine ugobe uphondo njengoba ngokwalesi sivumelwano alukho usuku olubekiwe ukuthi kubhaliswe lezi zivivinyo.

Izolo izinyunyana ezinhlanu okuyiSadtu, Natu, Naptosa, SAOU nePEU bezihlangene nomnyango ukubhunga ngalesi sivumelwano.

UMnuz Allen Thompson, oyiPhini likaMengameli weNatu, obambe iqhaza ezingxoxweni nge-ANA, uthe isivumelwano sizosayinwa namhlanje mayelana nokuthi lezi zivivinyo zizobhaliswa ngothandayo.

Uthe akukho sikole noma uthisha ozophoqwa ukuthi azibhalise noma azimake lezi zivivinyo kodwa konke kuncike ekutheni isikole siyathanda yini.

“Akukho sikole esizophoqwa ukubhalisa u-ANA kuzoba ukuthanda kwaleso sikole ukubhalisa abafundi. Akukho thisha noma uthishanhloko ozobekwa icala ngokungazibhalisi lezi zivivinyo. Akukho mamaki azohanjiswa emnyangweni ka-ANA okungenye yezinto esivumelane ngayo,” usho kanje.

Uthe phambilini bekunesiphakamiso sokuthi kuzotonyulwa izikole ezingu-2 100 ezizobhalisa u-ANA kuleli.

Lezi zikole bezizobhaliswa yinkampani ebizoqokwa kanti amaphepha abezomakwa iyona – hhayi othisha njengoba bashaya phansi ngonyawo.

“Sikuchithile lokhu ngoba besifuna ukwazi ukuthi zizoqokwa kanjani lezo zikole nokuthi kuzodla malini ukuqasha le nkampani njengoba u-ANA uhlinzekwa ngo-R246million. Siwinile ngoba ngeke sibhalise zivivinyo njengoba sasishilo,” usho kanje.

UNobhala weSadtu esifundazweni, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe bayichithile eyokutonyulwa kwezikole ezimbalwa ukubhalisa lezi zivivinyo wathi okungcono wukuthi zibhalwe abathandayo.

“Sithe akubhale abathandayo kungabi nabazophoqwa ngoba sasivele sithe asifuni ukubhalisa u-ANA. Sisamile ekutheni akuqokwe ithimba elizobuyekeza u-ANA ngoba asinankinga nokuthola izinkinga emnyangweni kodwa hhayi minyaka yonke,” usho kanje. Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe asikho isivumelwano esikhona njengoba kusaqhubeka izingxoxo zokuzama ukuxazulula isimo phakathi kwezinyunyana nomnyango.

Uthe bayavumelana nezinyunyana ukuthi kumele uguqulwe u-ANA ohlelweni oyilo okwamanje kanti basebenzisana nezinyunyana kulokhu.

Esinye sezikhulu soMnyango wezeMfundo esifundazweni, esicele ukungadalulwa sithe bezingeke zisabhalwa lezi zivivinyo kulo nyaka ngoba ukumaka kuqala ngoDisemba 1.

Lesi sikhulu sithe ezinye zezikole okumakelwa kuzona zinoGrade 9 obekuzokwenza kube nzima ukuthi kubhalwe kube kumakwa u-matric.

Sithe bekungeke kube namqondo kulesi sikhathi.

Ubazi ukuthi uzobulawa uMhlongo eGlebelands

$
0
0

Ubesewubikele umndeni wakhe ukuthi usengozini yokubulawa osocongwe ehostela laseMlazi iGlebelands.

|||

LUNGI LANGA

UBESEWUBIKELE umndeni wakhe ukuthi usengozini yokubulawa osocongwe ehostela laseMlazi iGlebelands.

UMnuz Mthinteni Alois Mhlongo (52) waKwaMaphumulo, eSidumbini, ongowokugcina kubantu asebebulelwe abangu 53 kuleli hostela kusukela ngonyaka odlule, wayesewubikele umndeni wakhe ukuthi akaziboni ephephile.

Ubulawe ngoMgqibelo odlule ebuya emngcwabeni womngani wakhe uMnuz Frank ‘Danger’ Khuzwayo oshone emasontweni amabili edlule naye obulawe kulona leli hostela.

Umfowabo uMnuz Richman Jabulani Mhlongo (46) uthe uMhlongo obeyilungu leMK Veterans ubebabikela ngesimo sokubulawa kwabantu kuleliya hostela.

“Bekuthi uma kukhona obulewe asibikele. Besithi simcela ukuthi akabuyele ekhaya KwaMaphumulo asitshele ukuthi useyofela khona. Ubethi bazosilungisa isimo,” kusho umfowabo.

Uthe nangosuku abulawa ngalo ubathintile ekuseni wababikela ukuthi uya emngcwabeni kaKhuzwayo kodwa akazange asho ukuthi uyokhuluma kuwona.

“Nangalelo langa washo ukuthi abantu ababulale umngani wakhe naye bayamfuna,” kuchaza uMhlongo.

Uthe umfowabo ubevame ukubabikela ukuthi banezinkinga nekhansela nokuthi bayayibhalela i-ANC ngezinkinga zabo kodwa abalutholi usizo.

URichman ongusihlalo wePan Africanist Congress (PAC) esifundeni saseThekwini, uchaze umfowabo njengomuntu obenomoya omuhle obengakukhonzile ukuxabana nabantu.

Uthe yize bebesemaqenjini ehlukene ezepolitiki, bebengakaze baxabane bebanga ezepolitiki.

URichman uthe bakhathazekile ngokuqhubeka kwezigameko zokubulawa kwabantu kuleliya hostela.

“Siyafisa ukuthi ixazululwe inkinga yokubulawa kwabantu ehostela. Ngeke esabuya umfowethu kodwa kusekhona abantu abahlala kulona leliya hostela abasengozini,” kusho uMhlongo.

Uthe umfowabo uzofihlwa kusasa emathuneni aseTafuleni, eNanda, inkonzo yomngcwabo izoba kwaBester.

Bazoqale badlule naye ehostela eGlebelands lapho kulindeleke ukuthi ahlonishwe khona ngamanye amalungu eMK Veterans ngaphambi kokuthi ayofihlwa.

Uthe bayakubalula nokuthi yize umfowabo ebeyilungu le-ANC ebelizinikele ehostela kuze kube manje ubuholi baleli qembu abukaze bufike ukuzobabona njengomndeni.

Uthe bamzwile ongunobhala we-ANC eKZN uMnuz Super Zuma ethi balubeke eqhulwini lwezinto abafuna ukuzilungisa udaba lwaseGlebe.

“Besizitshela ukuthi njengoba ebezinikele nje eqenjini buzofika ubuholi buzovela emndenini kodwa sibubona buhambela kude,” kusho uMhlongo.

UMnuz Mdu Ntuli, we-ANC eKZN, uthe lesi sigameko senzeke kabi besaphazanyiswe ukubuya engqungqutheleni yesifundazwe.

“Kungenzeka ukuthi sezikhona izinhlelo esezenziwe ngubuholi ukuthi kuhanjelwe umndeni. Mhlawumbe njengoba sikhuluma nje kukhona osekuhlelwe ukuthi baye khona. Akukhona ngoba singenandaba nomndeni,” kusho uNtuli.

Uthe isimo sokufa kwabantu kuleliya hostela sibucayi kakhulu futhi bayalulandela lolu daba. Selokhu kuqale izigameko zokubulawa kwabantu eGlebe iningi ebelihlala khona selishiyile ngenxa yokwesaba.

Uyacula obejola nenyanga yekhanda

$
0
0

Owesifazane ongunina wengane yosolwa ngokuba yinyanga eshumpula amakhanda abantu, uveze ukuthi useke wazama “ukumbulala.”

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

OWESIFAZANE ongunina wengane yosolwa ngokuba yinyanga eshumpula amakhanda abantu eMzinto ngenhloso yokwenza umuthi, uveze ukuthi useke wazama “ukumbulala.”

Owesifazane igama lakhe engeke lidalulwe ukumvikela, obekade ehambele enkantolo yaseMzinto izolo kuvela abasolwa ecaleni lokubulala owomdabu waseNdiya, utshele Isolezwe ukuthi akazange amangale ezwa ngalezi zinsolo ngoba umsolwa wayenesihluku esimangalisayo.

UMnuz Alias Mchunu (41) noThando Duma (21) bavele enkantolo eMzinto izolo, umphakathi ubugcwele ngaphandle kwenkantolo ufuna ukubadla luhlaza. Unina wengane kaMchunu oneminyaka engu-35 odondoloza ngezinduku uthe naye waphuma ngesamagundwane lapho ayehlala khona nesoka lakhe ngoba limhlukumeza ngokumshaya.

“Bengiyazi imikhuba yakhe ngoba bengihlala naye. Ubenesihluku, eshaya. Ngimshiye ngonyaka odlule ngoba ehlala ngokungihlukumeza. Ubengishaya aze angiklinye, ngelinye ilanga wacishe wangibulala. Ngasinda ngokulambisa, ngabaleka njengoba ungibona ngixhuga nje. Uyise wengane yami ubengumuntu oyikhonzile imithi. Ngathola ukuthi nguyise owayeyinyanga owayejwayele ukuhamba naye (uMchunu) beyokha imithi. Uma ngibheka emuva nami kungenzeka ukuthi wayefuna ukungibulala,” kusho unina wengane.

UMchunu usolwa ngokuba inyanga eyashumpula ikhanda likaMnuz uNawaaz Khan (23) nelikaNkk Albertina Gambushe (39) ngoba efuna ukuthaka umuthi wokuceba nowokulungisa izinkinga ezahlukene.

Lo wesifazane uthe uyise wengane yakhe wagcina esehlala ehlathini ngenxa yokubalekela abantu ayebashaya.

“Uyise wengane yami ubethanda kakhulu imali. Ubesebenza ezingadini, uma imali ingangeni bese eyanengeka abe nolaka olumangalisayo. Kwenye inkathi ubehamba ubusuku bonke engaziwa ukuthi uya kephi. Ngiqale ukumsaba sengibona ukuthi kunezinto ezingalungile azenzayo ebusuku.

“Ubebashaya abanye abantu. Kangangoba ngimgcine esehlala ehlathini ngoba ekhaya ubehlezi efunwa abantu ukuba beziphindiselele,” kusho lo wesifazane.

UMchunu kuvele ukuthi uyathinteka kwelinye icala lokuthumba owesifazane womdabu waseNdiya okwenzeka ngo-Okthoba 29 nonyaka. Lo wesifazane kunezinsolo zokuthi naye wayefuna ukuyomshumpula ikhanda kodwa waphunyuka.

Kumanje abaphenyi baphansi phezulu babheka ukuthi kazikho yini ezinye izigameko ezifuze lezi ezenziwa wumsolwa.

Icala lihlehliselwe uDisemba 14 ukuze uDuma noMchunu bafake isicelo sebheyili.

Umshushisi uNksz Ndumiso Cele uthe namanje uMbuso usaphikisana nebheyili kubasolwa ngoba icala libucayi.

Ummeli wabo uMnuz Mongezi Dimba izolo uthe ubengakabi sesimeni sokufaka isicelo sebheyili.

“Okwamanje asikakulungeli ukufaka isicelo sebheyili, kukhona izinto esisafuna ukuzilungisa,” kusho uDimba.

IMantshi uNkk Veliswa Dube ibe isilihlehlisa icala, nelokuthumba elibhekene noMchunu nalo lihlehliselwe usuku olufanayo.

Enkantolo bekukhona iphini lemeya kumasipala uMdoni uMnuz Oscar Zama nekhansela le-IFP uMnuz Musa Ndlela. UMnuz Mveliso Eric Ngini (37) uzovela ngoMsombuluko noMchunu, babhekene necala lokubulala uNkk Gambushe.

Lo wesifazane obengumsebenzi wasendlini utholwe ngeledlule isidumbu sakhe singenakhanda lona elitholwe kwenye indawo.

Ulaka loNyazi kwabakhala ngeseSilo

$
0
0

UMnuz Mduduzi Shembe, uyavutha ngalabo abagxeka ukwakhiwa kwesigodlo seSilo Samabandla esiseBuhleni.

|||

CELANI SIKHAKHANE

UMHOLI webandla lamaNazaretha eBuhleni, uMnuz Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe, uyavutha ngalabo abagxeka ukwakhiwa kwesigodlo seSilo Samabandla esiseBuhleni nabasisola ngokuchema nalo uNyazi ngoba bekhala ngokuthi lokhu kuzobeka isithombe sokuthi yilo oluyinkosi esemthethweni ekubeni kusenecala enkantolo.

Lokhu kugqame ngesikhathi kunenkonzo yebandla lakwaShembe ebisesigodlweni seSilo esikwaNongoma eNyokeni, lapho bekukhulekelwa khona uMkhosi woSelwa ozoba ngoDisemba.

Bekungokokuqala ukuthi uNyazi luphawule ngalolu daba selokhu lwabikwa ezinyangeni ezedlule lapho abaseThembezinhle abaholwa nguMnuz Vela “Msebeyelanga” Shembe bakhononda ngeSilo bethi ukuhambela kwaso eBuhleni ekubeni kusenecala lombango eliqhubekayo kwenza kube nesithombe sokuthi uNyazi yilo oluyinkosi ngokusemthe-thweni.

Babekhala nangokuthi bekungamele iSilo sisivume isigodlo esakhiwe ngabaseBuhleni abasenzele iNgonyama ngoba bethi konke lokhu kudukisa isizwe.

“Yicala likabani uma sihambele eBuhleni ngoba phela kunesigodlo saso? Uma esefikile kulesi sigodlo esethanda ukulula izinyawo avakashele ekhaya ngoba kukubo ngabe nalapho yicala yini? Ngakithi (eThekwini) asikho isigodlo seSilo, yingakho singamaNazaretha amahle sisakhile isigodlo seSilo. Ngabe yicala likabani uma mina ngizokhuleka eSilweni? Inkinga kuvele kukhulume abantu abangazi lutho,” kusho uNyazi obelunanelwa ngo-Amen omkhulu enkundleni obekukhonzelwa kuyo.

AbaseThembezinhle babuye bakhala nangoNgqongqoshe wamaPhoyisa uNathi Nhleko bethi kuyadumaza ukuthi ubonakala ephambili ezintweni zaseBuhleni ngoba lokhu kuzombeka njengomuntu ochemile nobeka engcupheni umsebenzi wamaPhoyisa asuke eqaphe icala lakwaShembe.

Selokhu bakhuluma kanje bekungakaze kuzwakale lutho okushiwo uNyazi kodwa ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yezinsuku ezimbili evalwe izolo, eNyokeni, lukhulume okuningi okungaluphathi kahle.

Belwethula inkulumo yalo ebihambisana nentshumayelo egunjini elingumahamba nendlwana obekunzima ukuthi lubonakale phakathi ngoba nama-khamera abezama ukulucinga ukuze luvele kuma-big screen abebekiwe.

Kuleli gumbi beluhleli lodwa kanti iSilo noNdunankulu uSenzo Mchunu nabanye abaholi bebehleli bodwa beluzwa ngezwi uNyazi uma lukhuluma ngoba belungabonakali.

Luthe iSilo liyasibonga ngoba sifana noSolomoni waseBhayibhelini owakwazi ukubona inkosikazi yakhe eyayibulale ingane esikhundleni sokuthi awahlulele wonke.

Belusho lokhu luchaza izinto ezimbi ezenziwa eSilweni abanye abaholi baleli bandla ngesikhathi besivimba bengafuni singene sizobona iNkosi uVimbeni Shembe osakhothama. Khonamanjalo uNyazi kumenyezelwe ukuthi luzohlonishwa ngeziqu zobudokotela yikolishi elingadalulwanga emcimbini ozoba seCity Hall eThekwini ngoDisemba 6.

Owesifazane kwelokudlwengula

$
0
0

Kuboshwe owesifazane oneminyaka ewu-53 ngezinsolo zokudlwengula umfana wakamakhelwane oneminyaka ewu-14.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

KUBOSHWE owesifazane oneminyaka ewu-53 izolo ngezinsolo zokudlwengula umfana wakamakhelwane oneminyaka ewu-14 okuthiwa ubemcele ukuthi azompendisa indlu yakhe eManzana, eNewcastle.

Usolwa ngokuthi uvalele umfana izinsuku ezimbili elokhu ezitika ngaye.

Isolezwe lithole ngabasondelene nalolu daba ukuthi umfana wahamba ekhaya ngoLwesine kade ecelwe owesifazane ukuba azompendisa indlu yakhe.

Uze wabuyela ekhaya ngoMgqibelo enegazi engakwazi nokuhamba kahle.

Owesifazane, okuthiwa uthembekile emphakathini, akakholwanga sekutheleka amaphoyisa emfaka evenini eboshelwa icala lokudlwengula.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuboshwa kowesifazane ngecala lokudlwengula umfana.

Uthe owesifazane uzovela enkontolo yemantshi eMadadeni maduzane.

Umfana kuthiwa akazange abuye ekhaya kusukela ngoLwesine kodwa bangaxwaya abomndeni ngoba bebembona kamakhelwane.

NgoLwesihlanu kuthiwa amalungu omndeni omfana aphinde amangala uma ethola ukuthi akakabuyi ekhaya kodwa anganaka ngoba abekade azi ukuthi usiza umakhelwane.

NgoMgqibelo kuthiwa umndeni ube usuthumela ukuba umfana ayolandwa.

Ngesikhathi efika kuthiwa ubegcwele igazi ezimpahleni zakhe naye uqobo echama igazi.

“Kusukela ngoLwesine umakhelwane wacela umfana ukuba azomsiza ngokumpendisa indlu yakhe. Asizange sibe nankinga nalokho ngoba siyamazi umakhelwane. Sazitshela ukuthi uzobuya ntambama ngawo uLwesine uma eseqedile ukumsiza. Saze salala engafiki, asizange sixwaye ngoba umakhelwane simjwayele futhi sikhonza naye enkonzweni.

“NgoLwesihlanu saqala ukuxwaya engabuyi kodwa saphinde sanganaka ngoba sithi kusho ukuthi usakujabulela ukuhlala kamakhelwane.

NgoMgqibelo sathuma izingane ukuba ziyomlanda. Ufike egcwele igazi. Noma echama ubephuma lona. Ubehluleka nokuhamba kahle.

“Yilapho simphonse imibuzo samthembisa nenduku wabe esekhipha konke ukuthi umakhelwane umvulele ama-dvd wabe esemphoqa ukuba bagange naye. Siphithene ikhanda ngokwenzekile. into efana nale asikaze siyibone,” kusho ilungu lomndeni.

Umfana kuthiwa ufunda uGrade 8 kwesinye sezikole endaweni. kumanje kuthiwa usathukile.

Izolo uyiswe kadokotela ukuze ahlolwe, aphinde alashwe njengoba kuthiwa isitho sakhe silimele.

Umndeni uveze ukuthi umfana unikezwe u-R10 ukumvala ukuthi angayithi vu indaba.

Isolezwe lithole ukuthi owesifazane ujwayele ukusolwa ngokuhlalisa kwakhe izingane ezincane ezingabafana.

Kuvele nokuthi usanda kushonelwa wumyeni wakhe. Uhlala yedwa ngoba akanazo izingane.


UBobby uchithwe intokazi eMphithi

$
0
0

Isikhulu seKaizer Chiefs kuvele ukuthi sizithintele iziqandu ngesikhathi sizama “ukushela” owesifazane ngokumdoba ngeziphuzo nangemali.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

ISIKHULU seKaizer Chiefs kuvele ukuthi sizithintele iziqandu ngesikhathi sizama “ukushela” owesifazane ngokumdoba ngeziphuzo nangemali kwagcina ngokuba kuliwe.

UBobby Motaung kuthiwa uthwale kanzima ngesikhathi owesifazane obehlezi endaweni yezitatanyiswa kudlala iChiefs neMaritzburg United eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu evuka ngolaka embhozomela, ngesikhathi kuqhubeka umdlalo ophele zibambene ngo-1-1.

Ngesiwombe sokuqala kulo mdlalo kusuke ‘impi’ phakathi kwalo wesifazane nalesi sikhulu kwaze kwaphoqeleka ukuba lo wesifazane acelwe ukuba aphume endaweni yezitatanyiswa.

Isolezwe lithole ngomthombo ukuthi kuqale kwafika uweta othe uthunywe yilesi sikhulu ukuthi sicela ukubaphakamela ngesiphuzo.

Lo wesifazane okuvele ukuthi ungudokotela, ubehamba nomngani wakhe, nesoka lomngani kuthiwa basinqabile isiphuzo.

Uweta kuthiwa ubuye okwesibili esephethe imfumba yemali, wathi isiphuzo leso kuthiwa sizohambisana nemali amupha yona.

Lokhu kuthiwa kumcikile lo wesifazane, wabe eseqonda kulesi sikhulu wasifumba ngemali ebusweni maqede wathi: “you can keep your money, you cash cow”. Lokhu okuhumusheka ngokuthi ungayigcina imali yakho uma uyinyoni enya amasi.

Ilapho kusuke khona isidumo onogada abebesebenza kuthiwa bacele lo wesifazane nababili abehamba nabo ukuba baphume bephele.

Laba kuthiwa bagcine bengawuqedanga umdlalo ngoba kuthiwa yibona abaqale uchuku.

“Besihamba sonke sizobuka ibhola. Besizihlalele nje ngesikhathi kufika uweta elethe umyalezo wokuthi isikhulu sifuna ukusiphakamela ngesiphuzo. Kuthe uma benqaba laba besifazane, wahamba. Uweta uphinde wabuya esephethe imali, wathi ihambisana nesiphuzo acela ukubaphakamela ngaso. Kusuke umsindo esukuma lo wesifazane, imali wayijikijela ebusweni balesi sikhulu. Baqale baphikisana namazwi ephakama kwabe sekusondela onogada bacela ukuba sihambe bethi yithina esibe sephutheni,” kusho umthombo.

Lo wesifazane ongathandanga ukukhuluma nabezindaba ngalolu daba kuvele ukuthi akalikhonzile nebhola kodwa ubephelezela.

Kuthiwa bagcine sebezihlalele eGoldern Horse ngoba bengasakwazanga ukuqeda umdlalo.

Imali ebinikwa lo wesifazane kuthiwa bekungamaphepha awo-R100 amaningana.

Kuthintwa uMotaung ngalesi sigameko uvele waphela yinsini wathi uyaqala ngqa ukuzwa ngaleli phephandaba ngalesi sigameko.

“Ngiyashaqeka. Angisazi leso sigameko okhuluma ngaso.

Angizange ngimbone nalowo wesifazane okhuluma ngaye. Mina bengihlezi nezitatanyiswa impela. Lapho bengihlezi khona bekugcwele abantu besilisa. Abesifazane abebekhona bekungabasebenzi be-United.

Angazani impela naleso sigameko. Ngiqala ngawe nje ukuzwa ngaso,” kusho uMotaung obelokhu ehleka.

Exinwa ngemibuzo uthe impela akakhumbuli kukhona owesifazane omjikijele ngemali ebusweni.

Isolezwe lithole ngomthombo walo obukhona kulo mdlalo ukuthi sikhona isigameko esenzekile esithinta lesi sikhulu nodaba lwemali kodwa bekuthathwa sengathi wumdlalo.

“Udaba aluzange luthathwe njengento enkulu ngoba bekusamdlalo nje,” kusho umthombo.

Kuthintwa ophethe ezokuxhumana kwi-Team of Choice uMnuz Brian Zuma uthe usazobuza kwabaphethe ezokuphepha ukuthi ngabe bayazi yini ngesigameko esinjalo.

Ucele ukubuye athintwe ngoba ubesematasa kodwa esethintwa ucingo lwakhe belungasabanjwa.

Uthunyelwe ne-sms wangayiphendula.

Izwele ezitabaneni inkulumo yoNyazi

$
0
0

Inhlangano elwela amalungelo abathandana nabobulili obufanayo KwaZulu-Natal ithi izothathela izinyathelo umholi webandla lamaNazaretha.

|||

CELANI SIKHAKHANE

INHLANGANO elwela amalungelo abathandana nabobulili obufanayo KwaZulu-Natal ithi izothathela izinyathelo umholi webandla lamaNazaretha eBuhleni, uMnuz Mduduzi “Nyazilwezulu” Shembe ngenkulumo yakhe yokusola izitabane ukuthi yizo ezidala isiqalekiso sesomiso ezweni.

Lokhu kuvezwe nguNksz Nonhlanhla Mkhize wale nhlangano obephawula ngenkulumo yoNyazi oluyenze esigodlweni seSilo esikwaNongoma, eNyokeni, ngempelasonto, luhambise umkhuleko wezinsuku ezimbili obumayelana noMkhosi woSelwa.

“Namhlanje sizoba nomhlangano neKhomishana yamaLungelo Abantu lapho sizofike silubeke ezithebeni lolu daba ukuze sithole izeluleko mayelana nokuthi sibhekaphi nalo. Lokhu sizokwenza ngoba akulula ukuthi sivele sivule icala singakalandeli imigudu ethize. Okunye esifisa kwenzeke ngukuba ikhomishana isilekelele ngokusizamela umhlangano nalo uNyazi ukuze sixoxisane nalo. Sifisa luchaze ukuthi ngabe yini olungayithandi ngezitabane uma lunenkinga nazo ngoba kubalulekile ukubonisana kukhulunywe ukuze wonke umuntu aqonde ilungelo lomunye kule lizwe esiphila kulona,” kusho uNksz Mkhize.

Umfundisi Mhlaliseni Hlatshwayo, okhulumela abebandla laseBuhleni, uthe uNyazi alushongo lutho ngezitabane.

“Ubefunda incwadi ethi abantu kumele baphenduke. Luthe abantu abasazilandeli iziyalo zoMdali wenza isibonelo ngabesilisa abashada abesilisa.”

UMnuz Thamsanqa Ngwenya, oyiNhloko yezokuXhumana kuhulumeni waseKZN uthe uhulumeni wesifundazwe uyaziqhelelanisa nale nkulumo.

“Iningizimu Afrika ilawulwa ngokomthethosisekelo ovikela amalungelo abo bonke abantu. Ngaphansi koMthetho wamaLungelo, akekho okumele acwase omunye ngokobulili, ngokwenkolo nangokunye.”

Ngesikhathi uNyazi lwethula intshumayelo yalo luthe abantu sebeyaphikisana neZwi loMdali elithi zalanani nande ngenxa yokuthi amadoda aseganana wodwa okuyinto angayiqondi ukuthi kuzozalwana kanjani.

Luthe yikho lokhu okwenza isizwe sibulawe yisomiso nelanga elishisayo ngoba amadoda aseganana wodwa.

Inkulumo yalo beluyethula luhleli egunjini elingumahamba nendlwana enama-glass kanti abantu bebeluzwa ngezwi ngoba namakhamera bekunzima ukuthi aluthwebule kuleli gumbi .

UNksz Mkhize uthe kuyethusa ukuthi abaholi abaqavile bakhulume kanjena ngoba abantu sebezozizonda izitabane bazishaye bethi yizo ezidala isomiso.

Uthe lolu hlobo lwezinkulumo luyahlukumeza ngoba ziningi izitabane ezifayo zibulawa ngenxa yenzondo esukela ezinkulumeni.

“Kwaze kwakuningi okucasula uThixo emhlabeni okwenzekayo njengokudlwengulwa kogogo nezingane zihlukunyezwa nokunye.

Esifisa ukukwazi wukuthi ngabe bese kuphele intshumayelo noma izinto abengazikhuluma yini ubaba ngoba besingekho isidingo salokhu akushilo engumholi,” kusho uNksz Mkhize.

UNyazi selungene ohlwini lwabaholi abaningana abasusa umsindo begxeka izitabane. Phakathi kwabo kubalwa uMengameli Jacob Zuma owathi ngesikhathi esakhula sasingeke sime phambi kwakhe isitabane.

UMfu James Mthethwa obeyiMeya kumasipala wesifunda uMzinyathi watshela abantu baseNquthu ukuthi izitabane zisabalalisa igciwane lengculazi ngoba abesilisa balala namakho-sikazi abo bese belalana bodwa.

INkosi yamaXhosa uMpendulo Sigcawu ngenyanga edlule yatshela uSomlomo wePhalamende uNkk Baleka Mbete ukuthi akatshele uhulumeni ukuthi abazifuni izitabane.

Behlukene ngeyoNyazi ethinta izitabane nesomiso

KUSUKE isidumo izolo kuFacebook abantu bephawula ngenkulumo yomholi waseBuhleni, uMduduzi “Nyazilwezulu” Shembe osole izitabane ngesomiso esikhona ezweni. Kuhlukane imibono abanye bevumelana noNyazi kepha abanye bebelugxeka. Baphawule kanjena abafundi bephephandaba:

n Nhlanhla Mnikathi: Iyaxaka le ngoba nasendulo zazikhona izitabane kodwa zaziba khona izikhathi zesomiso. Elami lithi uma kuyisono sezitabane, uMvelinqangi ubezojezisa zona. Hhayi izwe lonke. Kwenye inkathi nabaholi kwezikamoya bake basho abakucabangayo, hhayi ngoba kuyinto eqhamuka eZulwini.

n Siyethemba Black Choc Ngidi: UNyazi luqinisile noma ngabe bakhona ebandleni lamaNazaretha pho kusho ukuthi kulungile yini ukuganana? Yekani ubutabane madoda nani zintombi akusibo okwaseZulwini.

n Fusi Hoznimadoda Qhali: Inkosi ayibathandazele ukuthi bayeke lo mkhuba bese ithandazela imvula ngoba phela yona inamandla.

n Zakes Maswidi Dube: Kodwa ngempela yayikade ivunyelwani le nto yokuthi kushadane abantu bobulili obubodwa ngoba le nto iphambene nje nesikholelwa kukho njengesizwe. Kungesikho kodwa nje lokhu kepha kuningi nje okonakele kuleli zwe.

n Sammuel Tshaka: Kudala nje baqala ukuganana bodwa kodwa lidlule line, awu madoda labaprofethi basemhlabeni.

n Skhonza B Nxasana: Luyaphambuka uNyazi, ake bazinuke bona njengamakholwa ukuthi ngabe benza kahle yini phambi kweNkosi futhi ngokwazi kwami asikho isono esikhulu ukudlula esinye.

n Scelo Scelotion Nxumalo: Luqinisile uNyazilwezulu, le nto yezitabane ayibusisiwe emhlabeni naseZulwini.

n Khaya KJ Mdluli: Iqinisile inkosi yamakhosi, ngokwenkolo jikelele, ayivumelekile le nto futhi iyisinengiso phambi kukaThixo

n Sipho Chonco: Siyabonga kakhulu Baba Nyazilwezulu, kufanele uNkulunkulu acasuke wake wakuzwaphi nje umfana ejola nomfana.

n Noksie KaHenry Kunene: Ayikho-ke nje leyo nto hawu. Nakudala sasiba khona isomiso kubuye kube nezikhukhula, yehheni bo!!

n Qaphelani Q Ncengwa: Ziningi izinto ezithusayo nezishaqisayo akusikho nje kuphela ukuthi kunezitabane noma ongqingili. Singenzi sengathi kasiboni. leli zwe seligcwele ubuthakathi nobuSathane, siyazifunda phela emaphepheni futhi siyazibona kuthelevishini. abantu bayabulalana ngapha nangapha banquma amakhanda benze ubuthakathi nokungcola kwabo ukuze bacebe.

n Zamanie Harris Owami: umbuzo:...babengekho yini abathandana bodwa ngezikhathi zakudala? uma kuvela manje, kudalwa yini?

n Mondli Manyathi: Izwi lithi uyedwa kuphela umuntu oyokwahlulela. Manje yena lo Shembe useqale nini ukuba wuNkulunkulu. akusilo isonto leli yinsambatheka. Kuthiwa iza esontweni noma umanikiniki uthole ukuthethelelwa laba bahlale begxeka abantu nje ngisho ungena estimeleni.

n Thandeka Gumede: Cha ayikho leyo nto ngoba asikho isomiso esilethwa yizitabane kodwa kufike usuku lokuthi kube nesomiso. akayeke ukugxeka yena sonke sidalwe nguNkulunkulu.

n Shermie Rimth Nakaido: Akulona iqiniso lelo, kuhlangene nokuthi izitabane ziyanyanywa nje ayi ukuthini. Bafowethu asiyekeni ukucwasana, nabo bangabantu, banegazi njengathi.

n Sakho Sokhela: Umholi wamaNazaretha lokhu akushoyo kuwumbono wakhe naye ngoba abukho ubufakazi bakho.

n Thoban Nkandie Senior: Ngisho emandulo asikaze sikuzwe ukushadana kobulili obufanayo siyakweshwama.

n Manelisi Ndwandwe: Ubudlelwano bobulili obufunayo yinto esemhlabeni wonke, uma kuyimbangela yesomiso kungani singekho emazweni ase- ntshonalanga

n Bonga Bongzn Vezi: Uqinisile umkhulu indoda yadalelwa owesifazane hhayi owesilisa. Le nto iyisiqalekiso phambi kwamehlo kaNkulunkulu. Umbuzo-ke iyoqedwa kanjani?

Bakhala ngekhansela elibancisha amanzi eNquthu

$
0
0

Bakhla ngekhansela le-ANC okuthiwa “lincisha” umphakathi waseZiqhazeni, eNquthu amanzi.

|||

BONISWA MOHALE

BAKHALA ngekhansela le-ANC okuthiwa “lincisha” umphakathi waseZiqhazeni, eNquthu amanzi ngoba lithi lifuna kubuye ingalo yalo eyanqamuka ngesikhathi sodlame lwe-ANC ne-IFP kule ndawo.

Abantu bakule ndawo bakhala ngekhansela uMnuz Rapelang Ndlovu okuthiwa uvimba amaloli athutha amanzi ukuba angafinyeleli endaweni enamalungu amaningi e-IFP.

Amalungu omphakathi acele ukungadalulwa athi aseyamsaba uNdlovu ngoba njalo uma beyofuna amanzi njengoba kuhlasele isomiso, yena uvele abafune ingalo yakhe eyanqunywa ngesikhathi elimala ngezikhathi zodlame.

Kuthiwa ngo-1993 Novemba 7, uNdlovu walimala ingalo ehamba nenkosi esiyakhothama uMolefe ngesikhathi behlaselwa ngamalungu e-IFP kulowo mshophi kwashona amalungu amaningi omndeni kaMolefe abanye abalandeli be-ANC balimala kanzima.

“Amanzi besiwakha esiphethwini nasemfuleni kodwa njengoba kunesomiso asisenawo, imifula ishile. URapelang uvele asitshele ukuthi asimbuyisele ingalo yakhe futhi asimvotelanga ngakho ngeke siwathole amanzi. Sasingekho thina enqanyulwa ingalo ngoba uma sizwa kuthiwa wadubuleka engalweni ngesikhathi kuhlaselwa inkosi uMolefe. Kudala abantu baseNquthu babeyi-IFP bonke kodwa uMolefe wayejoyinisa abantu i-ANC. Wahlaselwa ngabantu be-IFP washona kanye nezinye izihlobo zakhe kodwa uRapelang wasinda wagcina ngokunqunywa ingalo. Sasingekho thina ngoba singabantu besifazane sizihlalele emakhaya sidinga amanzi, yena usitshela ngodlame oselwadlula. Asisazi kumele sikhale kubani ngoba manje kunesomiso amaloli athunyelwa kuwo wonke ama-ward kodwa thina siwabukela kude,” kusho ilungu lomphakathi.

Linxuse uNgqongqoshe wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uNkk Nomusa Dube-Ncube angenelele kulolu daba ngoba akasazi benzenjani.

IMeya kaMasipala waseNquthu, uNkk Emily Molefe, ithe akusilo iqiniso ukuthi ikhansela lincisha amalungu e-IFP amanzi.

“Yipolitiki engekho ukuthi kukhona abangawatholi amanzi ngenxa yokuthi bayiqembu elithile. Labo bantu abathi ikhansela libancisha amanzi bake balibone lisemotweni ewahambisayo yini? Akusilo iqiniso ukuthi sibandlulula abantu. Amanzi athunyelwa yi-district (umasipala wesifunda) bese abantu abasekomidini kuba yibona abahamba neloli ukuqinisekisa ukuthi yonke imizi iyawathola amanzi. Ikhansela aliyisi amanzi endaweni. Kuyenzeka ukuthi singaneli sonke ngisho nakwi-ward yami. Akekho umuntu obandlululwayo,” kuchaza uNkk Molefe.

Uthe isomiso sibhilitele wonke umuntu ucela abantu babekezele bonge ithonsi nethonsi lamanzi ngoba size kabi isomiso.

UMnuz Sipho Nyamane ongumholi wekhokhasi ye-IFP kuMasipala waseNquthu uthe uyalwazi udaba lwaseZiqhazeni. Uthe abantu bakhona baze basizwe yikhansela laku-ward 12 elibahambisela nezinye izidingo.

“Sithwele kanzima kulo Masipala, abantu baseZiqhazeni bangitshela udaba lwabo ngesikhathi sinomhlangano wokuhlukanisa imingcele becela ukufakwa ku-ward 12 bethi ikhansela labo alibaletheli amanzi nezinye izidingo zomphakathi ngoba lifuna ingalo yalo. Ku-ward 12 ikhansela lihamba neloli lamanzi ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyawathola. Kwa-ward 15 eZiqhazeni kukhethwa iphela emasini. Kubuhlugu ngoba kade sikhuluma sicelela abantu amanzi njengoba kunesomiso kodwa singasizakali. Ngisho kuMasipala i-ANC isisebenzisa kabi namhlanje abangenanga emhlanganweni sekungokwesine bewuduba. Inkinga ukuthi uSomlomo uyi-IFP, abafuni ukuhlala emhla-nganweni,” kusho uNyamane.

Basonge ubufakazi kwelikaFlabba

$
0
0

Abameli noMbuso basonge ubufakazi ecaleni likaNksz Sindisiwe Manqele, osolwa ngokubulala isoka lakhe elabe uNkululeko Habedi.

|||

intatheli yesolezwe

ABAMELI noMbuso izolo basonge ubufakazi ecaleni likaNksz Sindisiwe Manqele, osolwa ngokubulala isoka lakhe elabe liwumrepha, uNkululeko “Flabba” Habedi. Icala liseNkantolo yeMantshi eRandburg.

Umshushisi, uPaul Schutter, utshele inkantolo ukuthi kusobala ukuthi uNksz Manqele wabiza umshayeli wetekisi kodwa umbuzo uthi kungani pho engahambanga naye.

“Isikhwele sakhe kwaba yiso esaba yisizathu esamenza wangafuna ukuhamba nomufi,” kusho uSchutter.

Uthe: “Ekugcineni inkantolo kufanele ikhiphe isinqumo ngokuthi kwenzekani ngesikhathi umsolwa egwaza umufi.”

USchutter uthe inkantolo izothatha isinqumo ngokubona indlela uNksz Manqele athola ngayo ummese kuHabedi, waphunyuka kanjani kuyena ngesikhathi ephezu kwakhe.

“Kungenzeka ukuthi (uNksz Manqele) uphambanisa inkulumo ngokwenzeka,” kusho uSchutter.

Uthe: “Uma kuwukuthi ubufakazi bakhe buyakholakala futhi wayehlukunyezwa, kufanele engabe wabaleka waphuma endlini ngaso leso sikhathi.”

Uthe isenzo sikaNksz Manqele, sokuba nesikhathi esanele sokusiza uHabedi, akusona esomuntu owayethukile owayesaba ukubulawa.

IJaji uSolly Sithole, liveze ukuthi uNksz Manqele phambilini utshele inkantolo ukuthi kwakunezizathu ezimbili zokuxabana nesoka lakhe, okwakuyisikhwele kubangwa nodaba lwemali. Lithe umsolwa watshela inkantolo ukuthi umrepha wayenezinkinga zemali ngesikhathi eshona.

Ubufakazi buthi umsolwa nomufi babephuza futhi uFlabba wayebhema nensangu.

“Ngiyakuqonda ukuthi balwa badidizisana kubangwa ummese, kungenzeka ukuthi umufi wafa kudidiziswana kanjalo,” kusho uSithole.

Ijaji libuye lathi njalo uma lezi zithandani zixabana kwakuyizizathu zesikhwele nokuthi uHabedi wayengemuhle kahle ngasemalini enenkinga yemali, lokho wayeze akusho njalo uma bexabana.

“Leli yicala lothando lwabantu ababili. Ukuxabana kwabo kwaholela ekutheni uNksz Manqele athumelele uHabedi umyalezo ngezintombi zakhe, lowo myalezo wafinyelela kunina kamufi, lokhu kungenzeka ukuthi yikhona okwaholela ekutheni kwenzeke leli cala,” kusho uSithole.

USchutter ubalule nokuthi kucacile ukuthi uNksz Manqele noHabedi bebenobudlelwane obuqinile wathi: “Kungenzeka ukuthi bobabili baba nezizathu zokuhlaselana kodwa ekugcineni uHabedi ufile futhi umsolwa ubephethe isikhali esandleni. Ingabe umsolwa unesizathu? Angakuchaza lokho ukuthi kwenzeka kanjani?”

U-Advocate Norman Makhubela, uthe akacabangi ukuthi kukhona ubufakazi bokuthi isenzo sikaNksz Manqele sadalwa wukuthi wayenovalo esaba ukubulawa nokuthi akakholwa ukuthi impilo yakhe yayisengcupheni.

Icala lihlehliselwe uDisemba 9 okuzokhishwa ngawo isinqumo.

Imvunge oweDA evela kuFacebook egqoke ibikini

$
0
0

Kuqubuke imvunge kuFacebook abantu bephawula ngesithombe selungu leDA esiShayamthetho eKZN, uNksz Mbali Ntuli, egqoke kuso i-bikini.

|||

MLUNGISI GUMEDE noCELANI SIKHAKHANE

KUQUBUKE imvunge kuFacebook abantu bephawula ngesithombe selungu leDA esiShayamthetho KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Ntuli, egqoke kuso i-bikini.

Isithombe sikaNksz Ntuli (27) esifakwe kuFacebook ngempelasonto, siqubule inhlokomo iningi lincoma umzimba wakhe lithi uyakhanga.

Bawu-205 abantu abaveze ukuthi bayasithanda isithombe kwathi abawu-104 baphawula ngaso.

Esithombeni uNksz Ntuli usendlini umi ephaseji egqoke ibikini ezithwebula ngeselula.

Ethintwa ngalesi sithombe izolo, uNksz Ntuli uvumile ukuthi nguyena lona osesithombeni.

“Bengivele ngazi ukuthi abantu bazokhuluma. Nakuba ngingumholi kodwa mina angisona isalukazi ngakho alikho iphutha uma ngifake isithombe sami ngigqoke ibikini ngoba bengiqeda ukubhukuda,” usho kanje.

UNksz Ntuli wesula ekubeni ngumholi wentsha yeDA ngoba ethi usematasa kakhulu.

Lokhu wakwenza emuva kokuphambana ngemibono noNkk Helen Zille obengumholi weDA ngaphambi kokuthi kungene uMnuz Mmusi Maimane.

UNksz Ntuli wahoxa ekubeni ngumholi wentsha yeDA ngemuva kokujutshwa kwakhe eMkhanyakude.

Njengamanje uhola iDA ekomitini lezeMfundo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.

Umngani wakhe wokuqala ophawulile ngesithombe uPapozi Ndlovu uthe: “Hau! Hau umholi osezintweni,”

Omunye uMthobisi Sbusiso ka-Shandu uthe loool mholi.

UTshidisi Moleke uthe: “Kwakuhle-ke lokhu engikubonayo, awuthi ngi-zoome kancane, just nje..lol.

UMangi Mbileni uthe; “#teamvezithanga”.

UGavin David von Meyer ushaye ngezimfushane wavele wathi: “WOW”.

UMoreeng Olebogeng wathi: “Yoh Mbali!!”USlindile Mala uthe: “Wow Mbali umuhle senginomona.”

UKeitumetse Tumi Padima uthe: “Usebenzile girl!”

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>