Kusuke isidumo kwaphazamiseka izitolo eziningi emuva kwesigameko sokuqhunyiswa kwemishini yokukhipha imali eyisithupha, kwadutshulwa nephoyisa.
|||ZANELE MTHETHWA
KUSUKE isidumo kwaphazamiseka izitolo eziningi namabhange izolo, kwavalwa nenkantolo yeMantshi KwaDukuza emuva kwesigameko sokuqhunyiswa kwemishini yokukhipha imali eyisithupha, kwadutshulwa nephoyisa.
Kuze kwashaya u-12 emini ezinye izitolo zisavaliwe emgwaqweni omkhulu edolobheni KwaDukuza, amaphoyisa nabaphenya ngezigameko zobugebengu besaqoqa ubufakazi.
Umphakathi obuzothenga ezitolo ezisemgwaqweni uKing Shaka, ufike wakhungatheka njengoba bekume nse ukusebenza kulo mgwaqo onezitolo ezinkulu zezingubo namabhange.
Isigameko esishiye umphakathi usovalweni senzeke ngezithuba zabo-1 entathakusa lapho kuthiwa kugasele abasolwa abangaphezu kuka-20 abebehlomile behamba ngezimoto ezahlukene.
Abasolwa okuthiwa bebehamba nge-Audi, Avanza, BMW neMercedez Benz, bavale zonke izintuba zalo mgwaqo bagasela eStandard Bank.
Onogada abanye abebehamba ngemoto beqaphe isimo kuleli dolobha baphucwe izibhamu no-ova, bashaywa kanzima.
Labo nogada beG4 Security neK9 Security kuthiwa abasolwa bebefuna nokuthi babakhombise lapho kucushwe khona i-alamu.
Amaphoyisa okuthiwa ashayelwe ucingo ngonogada, afike abasolwa besekhona endaweni yesigameko.
Abasolwa abebehlome ngama-AK47, R5 namavolovolo bavulele ngenhlamvu emaphoyiseni kwadubuleka elesifazane eligodliwe igama ukulivikela.
Isolezwe lithole ngozakwabo ukuthi belikade lisebenza ebusuku sekusele amahora ambalwa liphume ekuseni.
Leli phoyisa elisebenzela KwaDukuza kuthiwa izolo bekuwusuku lwalo lokuzalwa.
Lidubuleke ohlangothini ngasesiswini kodwa isimo salo kuthiwa siyagculisa esibhedlela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, uthe abasolwa bebengakayithathi imali ngesikhathi kufika amaphoyisa kodwa bese bewuqhumisile nomnyango wensimbi ongenela ngaphakathi.
“Kuyabonakala ukuthi wubugebengu obebuhleliwe ngoba abasolwa basebenzise ubuchule. Bathathe izibhamu ezine zonogada kanti kusolwa ukuthi bathathe nocingo olusetshenziswa ngamaphoyisa ukuxhumana emoyeni obekwenza bezwe okuhlelwa ngamaphoyisa. Akekho osaboshiwe kulesi sigameko kodwa kuphenywa icala lokucekela phansi impahla, ukuduna nokugqekeza,” kusho uZwane.
Uthe kusolwa ukuthi izibhamu bezibolekiwe, kusaphenywa nokuthi izimoto akuzona yini ezokwebiwa.
Kwenzeka lesi sigameko nje kusaphele amasonto amabili kuqhunyiswe amabhomu ePinetown lapho abasolwa bebalekele khona no-R500 000.
UZwane uthe yize lezi zigameko zenzeke ngendlela ecishe ifane kodwa abakazokuqi-nisekisa ukuthi zihlobene ngoba kusaphenywa.
Uthe bahlele ezinye izindlela zokuqinisa ezokuphepha njengoba sekusondele amaholidi kaKhisimusi ajwayele ukuhambisana nalezi zigameko.