Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Konakala izidumbu emakhazeni kahulumeni

$
0
0

Kumiswe umphathi wamakhaza kahulumeni kuGale Street osolwa ngokuhluleka wukwenza umsebenzi wakhe.

|||

ZANELE MTHETHWA

 

KUMISWE umphathi wamakhaza kahulumeni kuGale Street, eThekwini, osolwa ngokuhluleka wukwenza umsebenzi wakhe okuhlanganisa ukungaxazululi inkinga yokudliwa kwezidumbu ngamagundane.

UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo, umemezele lokhu izolo emuva kwemibiko yokungalawuleki kwabasebenza emakhazeni.

Umphathi kuthiwa uyathinteka nasesigamekweni sangoMgqibelo somndeni wakwaShange owanqatshelwa ukubuyisela isidumbu okungesona esawo. kuze kwangenela ungqongqoshe.

Umndeni waseMzimkhulu obuzolanda isidumbu selungu lawo izolo emakhazeni, usithole sesihlephuke ikhala.

Umndeni kaMnuz Mthobisi Ngcongo (28), waseMahlomane, eMzimkhulu, uhambe nesidumbu ukhononda ngokuthi umufi wangeniswa emakhazeni ngoMgqibelo engalimele.

Esitatimendeni esithunyelwe umnyango kuyavela ukuthi kunezidumbu ezintathu ezidliwe ngamagundane ezize zathuthelwa kwamanye amakhaza. Isigameko sokuqala savela ekuqaleni kwale nyanga.

“Ngeke sikwazi ukusebenza nabaphathi abangakwazi ukukhombisa ubuholi nokubhekana nezingqinamba endaweni ebucayi kangaka. Siyaxolisa kuyo yonke imindeni ethintekile ngalesi simo,” kusho ungqongqoshe.

Isitatimende siqhubeka sithi kuthe uma kuhlolwa amakhaza kwatholakala amarabha ezivalo zeziqadisi enomaka okusolwa ukuthi ngamazinyo amagundane.

Yize abakwaNgcongo bese bengabaza ukusithatha isidumbu ngaphandle kokuthola incazelo, baphoqeleke ukuthi bahambe naso ngoba bese befike nomasingcwabisane ozogcina isidumbu eMzimkhulu.

Uyise kamufi, uMnuz Mfunzana Ngcongo, obehluleka nokuchaza ngenxa yokuthukuthela, uthe indodana yakhe yashona ngoMgqibelo ingakaze ibike kugula.

Yashonela emsebenzini lapho iqashwe yinkampani elungisa umgwaqo ngaseBellair, eThekwini. “Sathola ucingo kuthiwa uvele washayeka phansi besebenza, bathi bayamphuthuma washonela khona endaweni yokusebenza. Ngawo uMgqibelo abafowabo bamyisa emakhazeni kahulumeni njengoba besisenza izinhlelo zokuthi afakwe emakhazeni ethu eMzimkhulu. Sishaqekile sifika isidumbu sesigugudwe lonke ikhala.”

UNgcongo uthe ngoMsombuluko wathumela indodana yakhe ukuthi iyocela emakhazeni ukuthi singahlinzwa isidumbu ngoba abakuthandi lokho njengomndeni.

“Sifike sathola ukuthi isidumbu sesihlinziwe, kwathiwa wumthetho kahulumeni,” kuchaza yena.

UMnuz Mabandla Ngcongo, umfowabo kamufi, uthe banesiqiniseko sokuthi wangeniswa emakhazeni engalimele ngoba wawa kuphela.

 

Umndeni usola ukuthi sicwiyiwe. “Akukho ebesizokwenza, bekumele sihambe naso ngoba siya kude eMzimkhulu, kumele singcwabe ngoMgqibelo,” kusho uNgcongo.

Izolo umndeni uqale esiteshini samaphoyisa eBellair uyobika udaba.


Bachithiwe abalandeli bakaNxumalo

$
0
0

Kukhonjwa ngenjumbane uNkk Weziwe Thusi noNkk Lydia Johnson ngamalungu e-ANC eNtshanga.

|||

MLUNGISI GUMEDE

KUKHONJWA ngenjumbane uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Weziwe Thusi noSomlomo esiShayamthetho esifundazweni uNkk Lydia Johnson, ngamalungu e-ANC eNtshanga athi bacindezela iMeya kamasipala weTheku uMnuz James Nxumalo ngoba bengafuni ukuthi ibe nguSihlalo kaKhongolose eThekwini.

Amalungu e-ANC kule ndawo athi abizelwe emhlanganweni obekukhona kuwo uNkk Thusi noNkk Johnson eThekwini lapho kade elindele impendulo ngesikhalo sawo, kodwa atshelwa ukuthi i-ANC ayikhulumi ngabalandeli bayo ikhuluma kuphela ngamalungu ayo.

Amalungu kaKhongolose akhathazekile kule ndawo afaka isimangalo ebuholini be-ANC esifundazweni ekhala ngokuthi umhlangano wegatsha lapho uNxumalo engazange akhethwe khona awuzange uhambe ngendlela efanele. Akhala ngokuthi awazange anikwe ithuba lokuthi abambe iqhaza emhlanganweni.

Kusukela kuphume imiphumela eveza ukuthi uNxumalo wehlulwa, okwenza ukuthi angabi isithunywa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi baseThekwini lapho ephakanyiselwe esikhundleni sokuba ngusihlalo kwamanye amagatsha, amanye amalungu e-ANC eNtshanga azwakalise intukuthelo yawo ngokuvala imigwaqo efuna ukuthi umhlangano uhlale kabusha.

NangoLwesibili amalungu e-ANC aphinde avala umgwaqo ekhala ngokuthi ubuholi bawo buwanike impendulo engagculisi.

Umholi wala malungu e-ANC uMnuz Nkosinathi Mkhize, uthe babizelwe emhlanganweni eThekwini lapho behlangane khona noNkk Thusi noNkk Johnson, belindele ukuthi bazothola impendulo ngesikhalo sabo, kodwa bathola ukuphoxeka.

“Abaholi bethu abahloniphekile bathe abakhulumi ngabalandeli be-ANC bayajabula ukuthi bakhona kodwa bona bakhuluma ngamalungu abo, nathi singamalungu e-ANC kodwa inkinga wukuthi siyancishwa ubulungu,” usho kanje.

Uthe indlela abakhulume ngayo laba baholi benze kwabacacela ukuthi bayamcindezela uNxumalo ngoba bengafuni ukuthi abe nguSihlalo waseThekwini.

UMkhize uthe bahlela ukuthi basidlulise isikhalo sabo ngoba bayabona ukuthi ubuholi besifundazwe abuzimisele ngokubalalela.

Isolezwe lihabule ngemithombo yalo ukuthi uNkk Thusi noNkk Johnson beseka uhlangothi lukaNkk Gumede noMnuz Sihle Zikalala.

Okhulumela uNkk Thusi, uMnuz Vukani Mbhele uthe angeke akwazi ukuphawula ngalolu daba ngoba luthinta i-ANC hhayi uhulumeni.

UMnuz Wonder Hlongwa okhulumela uNkk Johnson, uthe naye akuthintwe i-ANC. Imizamo yokuthola uZikalala ayizange iphumelele.

Phambilini uZikalala wathi ngeke aphawule ngendaba yemihlangano yamagatsha kodwa amalungu anezikhalo ayayazi imigudu okumele ayilandele.

Kube nokubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwababhikishi nesigungu sekhansela uMnuz Bhoyi Shozi ehholo lomphakathi kwasiza ukuba khona kwamaphoyisa.

Kulimale abantu ababili kulesi sigameko.

Sitholwe olwandle isidumbu sebhungu

$
0
0

Litholwe selishonile ibhungu laseBhambayi, eNanda eladuka liyobhukuda olwandle.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

LITHOLWE selishonile ibhungu laseBhambayi, eNanda eladuka liyobhukuda olwandle.

Isidumbu sikaSthembiso Fani Shezi (16) osesithombeni sitholwe ngoLwesibili eShaka Beach.

Leli bhungu liduke kubo ngeSonto ngesikhathi lihamba nabangani balo beyobhukuda olwandle, langabe lisabuya ntambama.

Kuthiwa nabangani balo bafika kubo bathi abalazi ngoba libadukele eSouth Beach, eThekwini.

USthembiso ubefunda uGrade 6 kwaShembe Primary School khona eNanda. Ubehlala nogogo wakhe oneminyaka engu-72.

Umakhelwane walo mndeni, uMnuz Sibusiso Ngobese nguyena obecelwe ukuba alekelele ngemuva kokuhluleka kukagogo ukuvula icala emaphoyiseni.

“Umfana ubehlala nogogo kuphela. Ugogo uyile ukuyovula icala ngoMsombuluko esiteshini samaphoyisa eNanda ngemuva kokungabuyi kwalo mfana. Amaphoyisa anqabile ekhala ngokuthi azokwazi ngani ukuthi udukele kuluphi ulwandle umfana,” kusho uNgobese.

Izolo ugogo kamufi uNkk Margaret Khumalo, uthe: “Umzukulu uhambe ekhaya eyobhukuda ngeSonto wangabe sabuya. Bengilokhu ngithuma abantu beyombheka njengoba egcine etholakele olwandle lwaseShaka, selumkhiphele ngaphandle. Ngizamile ukuvula icala emaphoyiseni kodwa anqaba. Kumanje ngisemakhazeni ukuzolanda isidumbu sakhe. Inhliziyo yami ibuhlungu kakhulu, okuningi ngeke ngikwazi ukukukhuluma manje.”

Kushubile kugasela abafundi

$
0
0

Zihlangabezane nezimbila zithutha izikhulu zikahulumeni ngesikhathi zibhekana nolaka lwabafundi.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

ZIHLANGABEZANE nezimbila zithutha izikhulu zikahulumeni izolo – phakathi kwazo obekukhona noNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande – ngesikhathi zibhekana nolaka lwabafundi abebegasele ePhalamende kade kwethulwa isabelo-mali sesigaba sonyaka.

Abafundi bebezozwakalisa izikhalo zabo ngokwenyuswa kwemali yokufunda emanyuvesi.

Amaphoyisa asebenzise isisi esikhalisa unyembezi nezinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza isixuku sabafundi ebesikanise ngaphandle kwezindlu zePhalamende sifuna ukungena khona ngodli.

Inqwaba yabafundi ilimele ngesikhathi kunokungqubuzana phakathi kwabo namaphoyisa.

Amaphoyisa athwale kanzima evimbela abafundi, abebevutha bengabaselwe, ukuthi bangawisi uthango bese bengena ngaphakathi ezindlini zePhalamende.

UNzimande uphoqelekile ukuthi ahambe ngesikhathi abafundi bemhhewula ethi uzama ukukhuluma nabo. Ubephelezelwa nguNgqongqoshe wezokuPhepha kuhulumeni, uMnuz David Mahlobo, noNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Nathi Nhleko.

IPhini likaNgqongqoshe wezoLimo, uMnu Bheki Cele, nalo kubikwe ukuthi libhunyelwe ngamanzi ngabafundi ePhalamende lithi lizama ukubakhuza.

Udaba lukaCele bese lusabalele ezinkundleni zokuxhumana izolo ntambama.

Abafundi izolo bese beshaya esinye isiqubulo esithi “Blade Must Go” sebeyekile ukuthi “Fees Must Fall. Abafundi bagasele ePhalamende lapho uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Nhlanhla Nene, ebethula khona isabelo-mali sakhe sesigaba sonyaka.

Kube sekubizwa amaphoyisa akwazi ukududula abafundi kodwa bangahamba yize kade sebedutshulwa ngisho ngezinhlamvu zenjoloba.

Abafundi nabo abazange bazibeke phansi bebephindisela emaphoyiseni bejikijela noma yingani abebeyithola phambi kwabo ngisho nemigqomo.

Amalungu ePhalamende e-EFF nawo akhishwe ngesidlozana ePhalamende ngemuva kokuphazamisa uhlelo lukaNene efuna kube nenkulumo-mpikiswano mayelana nesiphakamiso sokwenyuka kwemali emanyuvesi.

I-EFF iphakamise ukuthi uMengameli Jacob Zuma kumele akhulume nesizwe mayelana nesiphakamiso sokwenyuswa kwemali emanyuvesi.

NgoLwesibili uNzimande utshele abezindaba ukuthi imibhikisho yabafundi ibingakabi yinhlekelele.

Izolo iCosas nayo isimemezele ukuthi iyasijoyina isiteleka sabafundi basemanyuvesi.

Kugqame ubunye emibhikishweni

$
0
0

Uthathe elinye igxathu umbhikisho wemfundo yamahhala emanyuvesi akuleli.

|||

MHLENGI SHANGASE

UTHATHE elinye igxathu umbhikisho wemfundo yamahhala emanyuvesi akuleli izolo njengoba abafundi begasele ePhalamende kwashuba isimo amaphoyisa ebakhipha ngesidlozana.

Lo mbhikisho obuthe chithi saka ezweni lonke uveze ubumbano phakathi kwezinhlanga ezehlukene zabafundi njengoba uma kuneziteleka baba mbalwa abezinye izinhlanga.

Amaphoyisa athwale kanzima ezama ukukhipha abafundi abebengayizwa eyokuphuma ePhalamende kodwa agcine esesilawula isimo esevala isango.

Abafundi bebengayizwa eyabaholi bamaqembu ahlukene njengoba bebethi bafuna la uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande.

UNzimande ugcine ngokuthi aphume ayokhuluma nabafundi ephelezelwa ozakwabo kwiKhabhinethi okubalwa uMnuz David Mahlobo, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula nabanye ongqongqoshe.

Indaba yemfundo yamahhala isegudwini njengoba izinhlangano zabafundi sezibumbene zisho ngazwi linye ukuthi ziyayifuna.

KwaZulu-Natal izolo umbhikisho wemfundo yamahhala ubuseNyuvesi yaKwaZulu-Natal ophikweni lwaseWestville nolwaseHoward College.

Kule nyuvesi eke yagubuzelwa udlame lwabafundi bebhikishela ukunyuswa kwemali yokubhalisa, amaphoyisa nonogada bebesiqaphile isimo.

Abafundi bebezungeza inyuvesi yonke bekhipha abebefunda emakilasini kwamiswa nezivivinyo.

UPinda Mofokeng, ongunobhala weSasco, uthe bamise nse yonke into ngoba bafuna lifezeke leli phupho lemfundo yamahhala.

Uthe bahlangene nezinye izinhlangano okubalwa iNasmo, uFasimba, ANC Youth League, Sasco nezinye ukulwela indaba yemfundo yamahhala.

“Maningi amazwe anemfundo yamahhala ngakho siyayidinga nathi kulesi sikhathi. Akuvalwe ezinye izikhundla ePhalamende ikakhulu ezamaPhini oNgqongqoshe esingabazi ukuthi benzani, kuthathwe imali abayiholayo ifakwe emfundweni. Izwe linayo imali yemfundo yamahhala ngoba akubizi kakhulu ngu-R30 billion odingekayo.”

Okhulumela iNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Lesiba Seshoka, uthe babavumele abafundi ukuthi babhikishe njengoba bekuwumbhikisho kazwelonke.

Uthe abakasithathi isinqumo sokunyuswa kwemali yokufunda ngonyaka ozayo.

“Umhlangano wesigungu esilawula inyuvesi okuyiwo oyonquma ngokunyuswa kwemali uzohlala ngoNovemba. Okwamanje asikho isinqumo esithathiwe ngokunyuswa kwemali yokufunda.”

UMofokeng uthe bayazi ukuthi i-UKZN ihlela ukunyusa imali ngo-12%, eDUT ngo-9%.

NgoLwesibili uNzimande uthe emhlanganweni abe nawo nabaphathi bamanyuvesi eKapa, bavumelane ngokuthi wonke amanyuvesi angadluli ku-6% uma enyusa imali ngo-2016.

Abafundi kabasamukelanga lesi siphakamiso bethi bafuna imali inganyuki nhlobo.

Kusolwa ubuthakathi ngokuqothwa komndeni

$
0
0

Kusolwa ingxabano yomndeni nokunukana ngokuthakatha ngokubulawa kwamalungu ayisishiyagalombili.

|||

ZANELE MTHETHWA

KUSOLWA ingxabano yomndeni nokunukana ngokuthakatha ngokubulawa kwamalungu ayisishiyagalombili okubalwa nezingane ezimbili ezinonyaka, nazo ezigencwe entathakusa yayizolo eMsinsini, ngasePort Shepstone.

Kuvalwe ngehlahla kubulawa uMnuz Mantinga Moses Mncwabe (70), uNkk Shonisile Mncwabe (60), indodakazi uNksz Phindile Mncwabe (35) nabazukulu okunguPhilasande (1), Amahle (3), Amanda (15), Aphiwe Mhlongo (3) no-Andile Mncwabe (1).

Izidumbu zabayisikhombisa zitholakale endlini kalawondi kwathi esikaMncwabe satholakala kwenye indlu sesiwumlotha.

Lo mndeni uhlaselwe ngezithuba zawo-12 ebusuku ulele.

Abasolwa bangene behlome ngobhushu bagenca kwasani ebisekhaya, kwasinda uMinenhle Mncwabe (18) ohlabe umkhosi.

Amaphoyisa okuthiwa athintwe ngalesi sigameko ngo-1 entathakusa afike emuva kwendaba.

UMnuz Julius Mcwabe okushone umfowabo kulesi sigameko, uthe bebegcinane naye ngoLwesibili.

“Ngithole ucingo ngesinye isihlobo ngo-12.15 ebusuku ngitshelwa ngalesi sehlakalo. Ngifike selidume ladlula, sekukhona nomakhelwane egcekeni. Umfana osindile nguye oshayele enye indodakazi nayo yabikela izihlobo,” kusho yena.

Uthe abakazi nokuthi bazothathani bahlanganise nani ukulungiselela umngcwabo.

Uthe akazibonanga izidumbu njengoba efike waxinwa ngamaphoyisa ebhalisa izitatimende futhi nomzukulu osindile akakaxhumani naye, akezwanga nokuthi ukuphi.

“Sisathukile ngoba asazi sizolala sivuke sisaphelele yini. Akukho ebesikuzwile ngisho izinsongo ezingamataniswa nalesi sigameko,” usho kanje.

Oyindodana kamufi (uMantinga) uMnuz Mlungisi Mncwabe (32), uthe ubegcinene naye ngoMgqibelo kungcwatshwa isihlobo khona eMnsinsini.

Uthe uyise ubengakaze ambikele ngokuthi kukhona axabene nabo.

UMlungisi ohlala eMlazi uthi uthole ucingo entathakusa ngalesi sigameko okushone kuso nodadewabo.

Omakhelwane abebesagcwele igceke bezobabaza, bathe kusolwa ingxabano yomndeni futhi nabasolwa bayaziwa endaweni.

Izolo amaphoyisa ophiko loKlebe abophe abasolwa ababili okuthiwa batholakale nezimpahla ezinegazi kanti enye ijakhethi ebigqokwe ngomunye wabo itholakale ethoyilethi.

Isitatimende esikhishwe ngoKlebe sithe lo mndeni uqothwe ngenxa yengxabano okusolwa ukuthi isuselwa ekusolaneni ngobuthakathi.

Abasolwa abaneminyaka engu-26 no-28 babhekene namacala okubulala, bazovela enkantolo yeMantshi eTurton kusasa.

UMkhuzi wamaPhoyisa obambile uLieutenant General Kgomotso Phahlane uncome amaphoyisa ngokusheshe abophe abasolwa.

“Ngeke siphumule bengakaboshwa bonke abathintekayo. Siyazwelana nomndeni oshonelwe futhi siyathembisa ukuthi sizokwenza uphenyo olunzulu,” usho kanje.

Isitatimende samaphoyisa siveze ukuthi kunelungu lomndeni elisesibhedlela kodwa langatholakala igama lalo.

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Weziwe Thusi uthe uzothumela osonhlalakahle abazosiza umndeni nomphakathi ngoba uyazi ukuthi izigameko ezinjena zishiya izilonda ezingapholi kwabathintekayo.

UNkk Thusi noNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni uDkt Sibongiseni Dhlomo bazovakashela umndeni wakwaMncwabe namuhla.

Kuphenywa inqwaba yamacala athinta izikole

$
0
0

Angaphezulu kwenkulungwane amacala aphenywa yinhlangano iCorruption Watch athinta inkohlakalo ezikoleni zakuleli.

|||

MHLENGI SHANGASE

ANGAPHEZULU kwenkulungwane amacala aphenywa yinhlangano iCorruption Watch athinta inkohlakalo ezikoleni zakuleli.

Kula macala asuka ngo-2012 kuze kube uJulayi 2015, athinta izikole ezintathu zaKwaZulu-Natal okuvele ukuthi othishanhloko bazo bayathinteka enkohlakalweni.

Le nhlangano ikhiphe umbiko izolo lapho ibiveza ezinye zalezi zikole eziphenywayo.

Isitatimende esikhishwe nguMnuz David Lewis onguMqondisi kule nhlangano, sithe cishe uhhafu walezi zikole eziphenywayo zifaka othishanhloko kanye nezigungu ezilawula izikole.

ULewis uthe le nkohlakalo ithinta indaba yokudliwa kwemali yesikole nendaba yokuqasha ngokwenzelela.

“Kwezinye kukhona othisha abayizipoki kudliwa nemali. Lokhu kuveza ukuthi kuba nokusebenzisana phakathi kukathishanhloko nosihlalo wesigungu esilawula isikole,” kusho uLewis.

Uthe abanye othishanhloko abaphenywayo basaqhubeka nokulawula imali yesikole.

“Uphenyo luveze ukuthi u-54% wenkohlakalo ufaka bona othishanhloko kanti u-37% wamacala uthinta ukungaphathwa kahle kwemali, u-20% uthinta ukuntshontshwa kwemali, u-13% yinkohlakalo yamathenda amanye afaka ukuntshontshwa kwempahla yesikole. Amacala ande kakhulu e-KZN, Free State, Gauteng, nase-Eastern Cape,” usho kanje.

Phakathi kwezikole okutholakale inkohlakalo kubalwa iSenoane Secondary eSoweto, Parkdale Primary e-Eldorado Park, Lyttelton Primary ePitoli, Providence Academy eGoli, Mogobeng Primary eKatlehong, Brakpan High e-East Rand, Halfway House Primary eMidrand, Avon Primary eWestville, Mbozamo Primary KwaDukuza neKwampunzi Combined eZululand.

Inhloko yoMnyango wezeMfundo esifundazweni, uDkt Nkosinathi Sishi, phambilini yatshela Isolezwe ukuthi baningi othishanhloko ababakhomba indlela abasuke bekhwabanise imali yesikole.

Wathi bazoqeqesha nezigungu ezilawula izikole ukuze zilazi iqhaza lazo ezikoleni.

Wabalula nokuthi banxusa othisha ukuthi beze neziqu zabo ukuze babheke ukuthi abakhokheli othisha abayizipoki.

AmaKhomanisi aphefumule ngeye-ANC

$
0
0

I-SACP isiphakamise ukuthi ibhekisiswe indaba yezikhalo ezikhona emagatsheni kaKhongolose mayelana nokungagculiseki kwawo ngoMnuz Sihle Zikalala.

|||

CELANI SIKHAKHANE

I-SACP esifundeni iTheku isiphakamise ukuthi ibhekisiswe indaba yezikhalo ezikhona emagatsheni kaKhongolose mayelana nokungagculiseki kwawo ngoNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala.

Lokhu kulandela ukuthi amanye amagatsha aseka uMnuz James Nxumalo esesabise ngokuthi azokwenza iTheku lingabuseki uma i-ANC ingamgudluzi uZikalala ohlelweni lokubhekana nezinto ezithinta amagatsha ngoba ayigculisekile ngaye.

Nokho uZikalala akazange atholakale izolo ukuba aziphendulele kodwa ucingo lwakhe belubanjwa ngowesilisa ozibize ngoMaduna othe uZikalala usemhlanganweni futhi akamazi ukuthi uzophuma nini.

Abaholi beSACP abebenesithangami nabezindaba eCoastland Hotel, eThekwini bathe nakuba lesi sikhalo sikhona kodwa abakweseki ukuthi agudluzwe ngoba kungumsebenzi wakhe ukubheka yonke imigudu ethinta ukucwaningwa kwamagatsha nokunye.

USihlalo weSACP esifundeni iThulani Ncwane esiseThekwini, uMnuz Zakhele Gumede, uthe ziningi izikhalo asebezitholile emagatsheni mayelana noZikalala.

“Kungaba yiphutha uma sekungathiwa uZikalala akagudluzwe kulolu hlelo lwamagatsha ngoba kungumsebenzi wakhe ukubhekana nalo njengoNobhala. Esikuphakamisayo wukuba lolu daba lubhekisiswe yizinhlaka ze-ANC ukuze lulungiswe kunokuba kuthathwe ngesimo sokuba uNobhala agudluzwe ohlelweni abhekene nalo” kusho uGumede.

Amagatsha okunezinkinga kuwo lapho abalandeli bakaNxumalo bephakamise khona ukungenami kwabo ngoZikalala kubalwa u-ward 80, 72, 53, 2, 30, 102 naku-ward 4.

Kukhona nezikhalo zokuthi ikomiti okudluliselwa kulo izikhalo libashaya indiva labo abaseka uNxumalo. Kwenzeka lokhu nje ingqungquthela yeTheku bekumele ihlale kule mpelasonto kodwa isihlehlisiwe ngenxa yezinkinga eziqhubekayo emagatsheni.

I-SACP ibuye yagxeka uNkk Gumede esithangamini sayo imsola ngokuthi ungunontandakubukwa wenza izinto abangazazi kumadlelandawonye ngokuzikhankasela kwabezindaba.

“Wenze into esiyiqalayo kumadlelandawonye ukuthi umholi azikhankasele kwabezindaba ngoba efuna isikhundla. Okusixakayo wukuthi usekhala ngokuthi uNxumalo udukiswa yiSACP futhi yiyo emlawulayo, okuyinto aseyisho ngoba uNxumalo esehamba phambili ngamagatsha angu-24 kwangu-18 asawatholile yena. Okunye sicela angaqambi amanga emphakathini ngokuthi ungenela lesi sikhundla ngenxa yeSACP edukisa uNxumalo ngoba waqala kudala ukuba sembangweni waso kusenguBheki Cele owayesaphakanyiswe amagatsha.”


Abafundi bagasele eLuthuli House

$
0
0

‘Nobhala hlala phansi! Nobhala hlala phansi!” Kushube umoya abafundi behaya lesi siqubulo embhikishweni wayizolo obukomkhulu le-ANC, eLuthuli House.

|||

MHLENGI SHANGASE no-ANA

‘NOBHALA hlala phansi! Nobhala hlala phansi!” Kushube umoya abafundi behaya lesi siqubulo embhikishweni wayizolo obukomkhulu le-ANC, eLuthuli House, lapho bebesaqhubeka khona nombhikisho wamasonto amabili wemfundo yamahhala.

Umholi we-EFF eWits, uVuyani Pambo, uqale lesi qubulo ngemuva kokuthi abafundi befune uNobhala we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, ukuthi ahlale phansi njengoba kwenza umphathi waseWits, uSolwazi Adam Habib, ngeledlule ngenkathi ekhuluma nabafundi.

Abafundi baqale bafuna uMantashe adilike esiteji ebesibekiwe eze phansi kubona okuthe uma esehlile, uPambo wavumbuka nesiqubulo sokuthi empeleni kumele ahlale phansi.

UMantashe ugcine engavumanga ukwenza lokhu, wamukela uhla lwezikhalazo alunikwe ngabafundi.

UMengameli omusha weSRC eWits, uNompendulo Mkhatshwa, utshele uMantashe ukuthi kumele bazicubungulisise izikhalo zabo.

“Lolu hlu kumele lubhekisiswe lungabekwa nje endaweni ethize bese kuphela kanjalo. Uma kwenzeka njalo sizolimisa nse idolobha simise nse nePhalamende,” kusho uNompendulo.

UMnuz Mcebo Dlamini, obehola abafundi, uthe uMantashe ngeke akhulume kulo mbuthano.

“Ngeke akhulume uNobhala jikelele uzothatha uhlu bese ehamba. Kusasa (namhlanje) siyovala i-Union Building,” kusho uDlamini.

Abafundi izolo basabise ngokuthi namhlanje bazogasela ezindlini zoMbuso, i-Union Building, ePitoli.

UMengameli Jacob Zuma uzohlangana nabafundi namhlanje e-Union Building.

Ezikhungweni eziningi zemfundo ezweni lonke kuhlehliswe izivivinyo kwama nse nokufunda njengoba abafundi beqinisa umkhankaso wabo.

USolwazi Ahmed Bawa, umphathi waseDurban University of Technology, uthe unethemba lokuthi umhlangano kaZuma, abaphathi nabaholi babafundi uzothela izithelo. “UMengameli ubize umhlangano wabaphathi nabafundi ngokunyuswa kwemali nomkhankaso owaziwa nge-fee must fall. Sethemba ukuthi kukhona okuzophuma emhlanganweni okuzoba wumkhombandlela.”

IPhini likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uMnuz Mduduzi Manana, kuthiwa yilona elingase lamukele uhlu lwabafundi ePitoli namhlanje.

Njengoba uZuma ebize umhlangano uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande, ubehlangene nabaphathi bamanyuvesi kuleli sonto lapho kuvunyelwane ngokuthi kunyuswe imali yokufunda ngonyaka ozayo ngo-6%.

Abafundi bakuchithile lokhu, bathi abafuni imali inyuswe ngonyaka ozayo ngoba abazali bayantula.

UZuma waqoka ithimba elibheka indaba yokunyuswa kwemali okulindeleke ukuthi liphothule umsebenzi ngenyanga ezayo.

Umkhankaso wemfundo yamahhala emanyuvesi kuthiwa ususabalele emhlabeni jikelele njengoba namanye amanyuvesi kuthiwa ayaweseka.

Izolo kube nemibiko yokuthi kuvalelwe abasebenzi boMnyango weMfundo ePhakeme ePitoli kwasiza ukufika kwamaphoyisa nezimoto zamanzi kuhlakazwa isixuku.

Ungenelwe nayizishoshovu zomzabalazo owabafundi

$
0
0

Isingenwe abamabandla, izishoshovu zomzabalazo nosaziwayo eyokuhlinzekwa ngemfundo yamahhala emanyuvesi.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

ISINGENWE abamabandla, izishoshovu zomzabalazo nosaziwayo eyokuhlinzekwa ngemfundo yamahhala emanyuvesi.

Owayengunkosikazi wowayenguMengameli wokuqala wentando yabantu, uMnuz Nelson Mandela, uWinnie Mandela ngomunye oseyingxenye yalo mkhankaso wabafundi oqale ngeledlule wemfundo yamahhala.

Lo mkhankaso ohlanganisa zonke izinhlanga zabafundi uqale ukushuba kuleli sonto njengoba abafundi bethi abafuni kunyuswe imali yokufunda ngonyaka ozayo.

Bafuna uhulumeni afeze nephupho lemfundo yamahhala njengoba bemasha cishe kuwona wonke amadolobha amakhulu akuleli.

UMbhishobhi wama-Anglican, uThabo Makgoba, indodana yakhe uNyakallo ongomunye wabafundi ababoshwe ngoLwesithathu ngesikhathi iqulu labafundi ligasela ePhalamende, uthe ubambe izinyembezi ezwa kuthiwa uboshiwe kulo mbhikisho. Uthe kunzima ngoba yizingane eziboshiwe wathi uyitshelile indodana yakhe ukuthi ime isibindi.

“Sibe nengxoxo enhle naye ngamtshela ukuthi akame isibindi. Kunzima ukubamba izinyembezi kanti sibonga nemithandazo esiyitholayo. Siyanxusa kuhulumeni ukuthi atshale imali kwezemfundo njengoba enza kwezamabhizinisi kahulumeni,” usho kanje.

Indodana kaMfundisi Frank Chikane, uKgotsi nayo eboshwe ngoLwesithathu ivele enkantolo nabanye abafundi ababalelwa ku-29. Laba bafundi baboshelwe ukuphula imigomo yezokuphepha ePhalamende.

Omunye wababoshiwe kubalwa umholi womkhankaso iRhodes Must Fall uChumani Maxwele, nesishoshovu uLindsay Maasdorp.

‘Besiqala ukuzwa ukuthi siyathakatha’

$
0
0

Amalungu omndeni waseMsinsini ayazeshwama izinsolo zokuthakatha okuthiwa kusolwa ukuthi ziyimbangela yokuhlaselwa kwazo.

|||

ZANELE MTHETHWA

Amalungu omndeni waseMsinsini ngasePort Shepstone lapho kubulawe khona amalungu ayisishiyagalombili agencwe entathakusa ngoLwesithathu, uyazeshwama izinsolo zokuthakatha okuthiwa kusolwa ukuthi ziyimbangela yokuhlaselwa kwazo.

Kuvalwe ngehlahla ngesikhathi ehlaselwa kubulawa ngisho izingane ezinonyaka ngabahlaseli abashise nenye indlu obekulele kuyo uMnuz Mantinga Mncwabe (70), oshe wawumlotha.

Kubulawe noNkk Shonisile Mncwabe (60), uNksz Phindile Mncwabe (35), uPhilasande (1), Amahle (3), Amanda (15), Andile (1) no-Aphiwe Mhlongo (3).

kusinde uMinenhle Mncwabe (18) ophume engenamyocu wahlaba umkhosi. Sekuboshwe abantu ababili abazovela enkantolo yeMantshi eTurton.

UXolani Mncwabe (16) kuthiwa uphuthunyiswe esibhedlela isimo singesihle.

Omunye ophume engalimalanga nguSphelele Mncwabe (23) okuthiwa akezwa futhi akakhulumi.

UMnuz Mlungisi Mncwabe, uyise oshe wangqongqa, uthe bayaqala ukuzwa emuva kokuhlaselwa ukuthi umndeni ubusolwa ngokuthakatha.

Uvumile ukuthi ababoshiwe bayaziwa futhi bayizihlobo. “Akukaze kube khona ingxabano ethinta ukuthakatha ngoba besihambelana ngisho kunemicimbi. Engikwaziyo wukuthi bekubuye kube nezingxabano ezijwayelekile zokulamana njengoba kwenzeka kuyo yonke imindeni. Sishaqekile ukuzwa ngalezi zinsolo ngoba asisazi isizathu sokuqothwa komndeni.”

Uthe basathuka izanya ngenxa yokuthi abakatholakali abanye okuthiwa bayathinteka.

Yize ethe abanaso isiqiniseko sokuthi babebangaki abahlaseli kodwa bayazi ukuthi bangaphezu kwalaba ababoshiwe.

“Kunzima ngisho ukubamba ucingo uma kuyinombolo efihliwe ngoba asazi ukuthi yini ezolandela. Ngeke sikuthole ukuphumula bengaboshiwe bonke abasolwa, sithole nesizathu salesi sihluku,” kusho uMncwabe.

Uveze ukuthi uSphelele watholakala edamini legazi lamalungu omndeni abulawa phambi kwakhe.

UMncwane uthe sebeqalile ukwenza amalungiselelo omngcwa-bo ozoba ngesonto elizayo emuva kokufika kwezikhulu zikahulumeni izolo ezithembise ukufaka isandla.

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Weziwe Thusi, nowezeMpilo, uDkt Sibongiseni Dhlomo izolo bavakashele lo mndeni bathembisa nokusiza ekungcwabeni.

Bathole okungavumelekile emajele

$
0
0

Kuvundululwe inqwaba yamaselula, ama-sim card, insangu, imimese, ontshumentshu nokhiye bezimoto ejele laseNewcastle nelaseKuseni Juvenile.

|||

SIBUSISO MDLALOSE

KUVUNDULULWE inqwaba yamaselula, ama-sim card, insangu, imimese, ontshumentshu nokhiye bezimoto ejele laseNewcastle nelaseKuseni Juvenile ngempelasonto ngenkathi ojele begasela kungazelele muntu.

Ithimba lojele abawu-51 elaziwa nge-Emergency Support Team ebeliliqhamukisa emajele aseWaterval, Glencoe naseNcome, liqale ngokupequlula ejele laseKuseni Juvenile, lapho lishaqe khona izijumbane ezingu-12 zensangu, umakhalekhukhwini owodwa notshumentshu ababili. Libe selidlulela ejele laseNewcastle lapho lishaqe khona amaselula awu-12 namasim card ayisithupha, okhiye abayisishiyagalombili bezimoto zohlobo lweToyota neVW Golf, ama-transfomer amathathu, u-R25, izijumbane eziwu-41 zensangu, untshumetshu owodwa nommese wokuzenzela.

Ngokusho komqondisi eMnyangweni wezokuHlunyeleliswa kweZimilo KwaZulu-Natal, uNksz Nombuso Mkhize, inhloso yokugasela kwabo emajele wukuqinisekisa izinga lokuphepha nokunqanda kokungena kwezinto ezingavumelekile emajele, ikakhulukazi njengoba sekusondela izikhathi zamaholide okuphela konyaka.

“NjengoMnyango wezokuHlunyeleliswa kweZimilo, sikholelwa ekutheni amajele yizindawo zokuhlumelelisa izimilo zababoshwa. ngakho-ke kuwumsebenzi wethu ukwenza ukwenza le ndawo ibe ngephephile nenozinzo. Yingalesi sizathu-ke sihlale sihlale siseshe ngenhloso yokushaqa lezo zinto ezingavumelekile, ezinjengezidakamizwa, izikhali eziyingozi namaselula.

“Izidakamizwa lezi yizona eziyimbangela enkulu yodlame ngaphakathi emajele, njengoba kwesinye isikhathi iziboshwa zigcina zilwa kubangwa zona lezi zidakamizwa, kuze kuphume nemiphefumulo. Siyazi ukuthi izinga lezehlakalo zodlame ngaphakathi emajele zivame ukuqubuka lapho sekusondela izikhathi zamaholide okuphela konyaka, ngenxa yokuthi ezinye izihlobo zeziboshwa zishushumbisa izinto ezingavumelekile ngaphakathi okubalwa kuzo izilimazo nezidakamizwa, okuyizona ezigcina ziholela odlameni,” kusho uNksz Mkhize.

Oyiphini lomqondisi ejele eWaterval, e-Utrecht, uMnuz Vusi Nkosi, unxuse umphakathi ukuba ubambisane noMnyango wezokuHlunyeleliswa kweZimilo, ngenhloso yokunqandwa kokushushumbiswa kwazo zonke izinto ezingavumelekile emajele.

“Siyawanxusa nawo amalungu omphakathi ukuthi abambisane nathi ngenhloso yokunqanda ukungena ngokungemthetho kwazo zonke lezi zinto ezingavumelekile ngaphakathi emajele, ngoba yiwo kanye amalungu omphakathi anesandla ekushushumbisweni kwalezi zidakamizwa nezikhali eziyingozi. Siphinde sikhuze futhi sexwayise nozakwethu abangojele ukuthi bahlukane nezenzo zenkohlakalo okuyizona ezigcina ziholele ekungeneni ngokumthetho kwezinye zezinto ezingavumelekile ngaphakathi. Kumele bazi ukuthi uma kutholakala ukuthi bayathinteka bazothathelwa izinyathelo ezinqala,” kusho uNkosi.

Umthombo ongaphakathi ejele laseNewcastle ongathandanga ukudalulwa, utshele iphephandaba ukuthi ukushaqwa kokhiye bezimoto abatholakale ngaphakathi kuleli jele kuphazamise izinhloso zezinye iziboshwa ebezihlose ukweqa zisizwa ngabanye bojele bakulesi sikhungo.

Kusolwa umbango kushiswa amabhasi

$
0
0

Kusolwa umbango womzila wamabhasi ngemuva kwesenzo sokushiswa kwamabhasi amabil enkampani Ikhwezi.

|||

MTHOKOZISI MANQELE

KUSOLWA umbango womzila wamabhasi ngemuva kwesenzo sokushiswa kwamabhasi amabili aba ngumlotha enkampani Ikhwezi, eMpangeni, ngeledlule.

Lo mbango womzila kuthiwa ngowokuthutha abagibeli bamabhasi abaya ezindaweni zakwesaKwaMthethwa, eMpangeni.

Isimo kuthiwa sishubile njengoba izinkampani ezimbili Ikhwezi namabhasi asoThungulu adume ngokuthi amabhasi akwaSithole zibhekene ngeziqu zamehlo.

Kuthiwa umphakathi unele wezwa ukuthi seliyaphuma Ikhwezi namabhasi alo sekungena awakwaSithole wavele wabhilita wathi awuwafuni amabhasi kaSithole bafuna Ikhwezi ngoba bayahlukunyezwa emabhasini kaSithole.

Kuthiwa iningi labagibeli laze labhikishela amabhasi akwaSithole.

Akwaziwa ukuthi ngobani abashise amabhasi eKhwezi kodwa kuthiwa ashiswe ezindaweni ezahlukene ngoba alala emzini yabashayeli.

Omunye wabekomiti labagibeli nabashayeli bamabhasi, ocele kugodlwe igama lakhe, uthe abawafuni amabhasi kaSithole.

“Wasihlukumeza kakhulu uSithole ngamabhasi akhe, asimfuni nakumbona. Amabhasi akhe ayahlupha abuye angabi namabhuleki bese umshayeli engena enkingeni. Omunye umshayeli washayisa imoto ngoba inkinga isemabhulekini, wavele wamjikela wathi akayikhokhe imoto wamthethisa ethi ubehlaleleni engawakhandi amabhuleki. Abefa njalo amabhasi akhe, kwesinye isikhathi basale dengwane abagibeli,” kusho lo mthombo.

Ngeledlule kuthiwa umphakathi usale dengwane ngenxa yalo mbango womzila.

Umphakathi wasezigodini zesaKwaMthethwa okuyiPatane, eCinci, Dondotha, Bhubhubhu, Shwashweni, Mabhuyeni, Embabe uthembele emabhasini uma uya emsebenzini nasemadolobheni eRichard’s Bay naseMpangeni.

Umnikazi walawa mabhasi asoThungulu, uMnuz Mduduzi Sithole, uvumile ukuthi amabhasi akhe ake amiswa izinyanga ezingu-18 nguMnyango wezokuThutha ngenxa yokuthi bekunezikhalo zokuthi awekho esimeni sokuba semgwaqweni, wathi kodwa aselungile.

Uthe bekufanele aqale ngo-Okthoba 15 kodwa avinjwa.

“Ngisola yona le nkampani IKhwezi ngokuthenga abantu ngotshwala ukuthi babhikishele amabhasi ami ukuze aphume kusale yona kuphela. Kungamanga aluhlaza okushiwo ngamabhasi ami ukuthi ayabheda, kuseyiwo wonke umkhankaso wokungicekela phansi. Ngikhuluma-nje amabhasi ami apakile sengingene esikweletini sika-R60 million ngikhanda amabhasi, ngathenga nemishini yokugaya amathikithi,” kusho uSithole.

“Le nkampani kufanele ngabe iphumile, into engizoyenza ngizovele ngiye enkantolo ngiyobakhipha. Nohulumeni uyasibulala usikalela ukuthi sifake amabhasi angu-40 kodwa aweKhwezi angaphezulu kuka-1 500,” kubhoka uSithole.

Okhulumela Ikhwezi, uMnuz Ephraim Cebekhulu, uthe abakaze bathume abantu ukuthi babhikishele amabhasi kaSithole. Uthe bese bephumile emzileni babuye babuyiselwa nguMnyango wezokuThutha ngoba umphakathi ubukhala.

“Kuzomsiza uSithole ukuya enkantolo ukuze aneliseke. Awethu amabhasi uma kuthiwa awame ngingawamisa kwamanje,” kusho uCebekhulu.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMnuz Kwanele Ncalane, ucele ukunikwa imininingwane.

Kuhlehle icala engafiki umsolwa

$
0
0

Uthungathwa ngamaphoyisa ummangelelwa obenguthishanhloko ecaleni lokubulawa komholi weSadtu.

|||

NKOSIYAZI PHUNGULA

UTHUNGATHWA ngamaphoyisa ummangelelwa obenguthishanhloko ecaleni lokubulawa komholi weSadtu emva kokuba engalubhadanga enkantolo ukuzobhekana necala.

UMnuz Xolani Myeza owasula isigubhukane eSt Niavard Primary, eMthwalume, ngemuva kokuboshwa kwabo akalubekanga enkantolo ngeledlule njengoba bekuzoqalwa ukuqulwa kwecala lokubulawa kukaMnuz Nkosinathi Zondi ngo-2013.

UZondi owabe enguthishanhloko waseNyonemhlophe High, eMid Illovo futhi engusihlalo weSadtu esifundeni iMbuso Shabalala ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, walalelwa unyendle yizinkabi ezamdubula washona eseyongena kwakhe eMlazi.

Emva kophenyo amaphoyisa abopha izinkabi ezimbili oMnuz Andile Zulu noLungisani Makhoba.

Akuphelanga isikhathi eside kwashaqwa umqondisi wemfundo wesifunda uGu, uMnuz Mfundi Sibiya, nothishanhloko abathathu bezikole zaseMthwalume, okukholakala ukuthi babopha itulo lokubulala uZondi.

Labo thishanhloko nguMnuz Lindani Mkhize waseGobhela Primary, noMnuz Mhlengi Luthuli waseBonguzwane High noMyeza.

Bonke laba basolwa bangaphandle ngebheyili ngaphandle kukaZulu futhi noMnyango wezeMfundo sewababuyisela emsebenzini ngaphandle kukaMyeza owanquma ukushiya phansi.

Ngeledlule bekumele kuqale ukuqulwa kwecala kodwa uJaji Phillip Nkosi nomshushisi uNkk Noxolo Tokwana-Dube baphoqeka ukuba balihlehlise icala ngenxa yokungafiki kukammangalelwa wesithupha, uMyeza.

Ngisho nommeli wakhe uMyeza uthe akamazi ukuthi ukuziphi izinkalo, kade agcina ukuxhumana naye.

Ijaji libe selikhipha incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe labeka nomgomo wokuthi uma engazivezi kuze kushaye uNovemba 5, uzodlelwa ibheyili.

Ukuqalwa kokuqulwa kwaleli cala kuthenjwa ukuthi kuzogudluza isidikiselo phezu kwebhodwe lezinsolo zokudayiswa kwezikhala zothisha kulesi sifunda osekunesikhathi kukhulunywa ngakho. Ngenxa yokuthinteka kwalezi zinsolo ekubulaweni kukaZondi, uMnyango weMfundo eyisiSekelo kuzwelonke ujube ikhomishini kaVolmink ukuba iphenye.

Iwuqale ngo-Okthoba wonyaka odlule umsebenzi kodwa sekuze kwaphela unyaka kungezwakali lutho ngombiko yize yayinikwe izinyanga ezintathu.

Kubulawe ogada umuzi kaZuma

$
0
0

Kubulawe iphoyisa ebeliqapha umuzi kaMengameli Jacob Zuma eNkandla elihlaselwe emzini walo eNtumeni, eShowe.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

Kubulawe iphoyisa ebeliqapha umuzi kaMengameli Jacob Zuma eNkandla elihlaselwe emzini walo eNtumeni, eShowe, izolo.

USergeant Muziwakhe Magwaza (42) udutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu ekuseni izolo elele kwenye yezindlu emzini wakhe.

Ngokuthola kweSolezwe uMagwaza, oseneminyaka eqapha emzini kaZuma eNkandla, uhlaselwe ngabantu abangabonakalanga ukuthi bangobani ngesikhathi elele.

Kuthiwa bafike baqala bashisa indlu yakhe engurawondi okusolwa ukuthi bebezitshela ukuthi ulele kuyona.

UMagwaza kuthiwa ube esephuma kwenye indlu abelele kuyo ezama ukubaleka kodwa wathelwa ngoyaba lwezinhlamvu washonela endaweni yesigameko.

Kuthiwa ushone eseduze kwemoto yakhe abethi uzama ukubaleka ngayo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukushona kukaMagwaza, wathi akekho osaboshiwe.

“Amaphoyisa aseShowe aphenya icala lokubulawa kowesilisa oneminya ewu-42 eNtumeni. Umufi uhlaselwe kade elele emzini wakhe. Imbangela yokubulawa kwakhe ayikaziwa. Akekho osaboshiwe kodwa uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka,” kusho uZwane.

Okhulumela ihhovisi likaMengameli, uMnuz Bongani Majola, uthe ngeke bakwazi ukuphawula ngokubulawa kukaMagwaza ngoba maningi amaphoyisa asebenza ophikweni olugada umengameli nongqongqoshe.

Uthe abantu okumele baphawule ngabaphethe izindaba zamaphoyisa ngoba yibona abawaqashayo nabazi konke okuthinta ukusebenza kwawo.

Umkhulumeli woKlebe, obambele okhulumela uKhomishana wamaPhoyisa, uBrigadier Hangwani Mulaudzi, ukuqinisekisile ukuthi uMagwaza ubegada emzini kaZuma.

“Siyaphenya ngecala lokubulala. Umufi kade esebenza ophikweni olugada umengameli. Ubesebenza emzini kamengameli eNkandla. Okusikhathazayo wukuthi asazi ukuthi kungani ehlaselwe futhi kwathathwa isibhamu sakhe somsebenzi. Kumanje amaphoyisa asebenza kanzima ukuzama ukubamba abasolwa. Kukhona enye indlu eshisiwe kodwa umlilo usheshe wacinywa kungakabi nomonakalo omkhulu,” kusho uMulaudzi.

Uthe banxusa abanolwazi ukuthi babikele amaphoyisa ukuze kuboshwe abasolwa.

Isolezwe lihabule ukuthi ukubulawa kukaMagwaza kungenzeka ukuthi kumayelana nezindaba zakhe zasesithe ezingathinti umsebenzi.

Umthombo weSolezwe, ongathandanga ukudalulwa, uthe njengoba kungaziwa imbangela yokubulawa kwakhe kwenza kube kuningi okucatshangwayo.

“Sonke sididekile, asazi ukuthi kungani ebulewe. Ngeke singathuki ngoba asazi ukuthi ngobani laba abalihlasele (iphoyisa) maqede bathatha nesibhamu somsebenzi,” kusho umthombo.

Imizamo yokuthola abomndeni kayiphumelelanga.


Abalandeli basalila ngokufa kukaSenzo

$
0
0

Yize kuphela unyaka namhlanje kwabulawa uSenzo Meyiwa kodwa namanje abalandeli bakhe basakhihla isililo uma bekhuluma ngaye.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

YIZE kuphela unyaka namhlanje kwabulawa unozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa kodwa namanje abalandeli bakhe basakhihla isililo uma bekhuluma ngaye.

Umlandeli wokuqina weBafana Bafana ne-Orlando Pirates uJoyce “Mama Joy” Chauke uthe kuvuka amanxeba ngalesi sikhathi uma ecabanga ngokubulawa kukaMeyiwa.

UMeyiwa wabulawa eVosloorus, eGoli ngo-Okthoba 26 2014 kubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo ongumculi.

Kuze kube namhlanje abasolwa abakaze baboshwa ngokubulawa kukaMeyiwa.

“Ngiphatheke kabi ngokushona kukaSenzo, njengoba ungishayela ucingo nje ngiyacabanga ukuthi ukube ukhona ngabe kuhamba kahle ngoba ubenza kahle. Yisikhathi esinzima kakhulu lesi ngoba amanxeba ayabhibha, singabalandeli siyopha. Inxeba lokushonelwa yisilomo sethu ngeke liphole kungakaboshwa abenzi balesi sigameko,” kusho uMama Joy ekhala.

Uthe noma esashona uMeyiwa kodwa ezinhliziyweni zabo uyohlale eyiqhawe labo kuPirates.

“ITelkom Knockout nakanjani kumele siyithathe indebe ngoba senzela uMeyiwa. Sikhombise ukuthi siyaziqhenya ngomsebenzi omuhle asenzela wona eqenjini lethu. Noma sidlala namanye amazwe ase-Afrika siyamuzwa ukuthi unathi. Umoya wakhe ulokhu unathi njalo nokwenza sidlale kahle,” kusho uMama Joy.

Lo mlandeli ohluleka nokuzibamba indlela abethanda ngayo lo mdlali nathi yingoba wayelungile aphinde abe nobuntu.

“Uma ngingena nje emzini wami ngivele ngimbone uMeyiwa ngenxa yamawindi angithengela wona. Washo esaphila ukuthi ufuna ngihlale ngimcabanga uma ngibona la mawindi, nangempela akapheli engqondweni yami. Endlini yami yokuphumula kunesithombe sakhe okuyisona engiziduduza ngaso,” kusho uMama Joy.

Yize amaphoyisa engakabophi muntu uthe uyakholelwa enhliziyweni yakhe ukuthi kukhona abazoboshwa maduzane.

“Noma kungathatha unyaka, iminyaka, noma isikhathi esingakanani kodwa ngiyazi ukuthi ababulali bazogcina bebanjiwe. Sifuna izimpendulo ukuthi kungani babulala uMeyiwa. Batholani ngokumbulala?” kusho uMama Joy.

Ukhuluma kanjena nje uyise kaMeyiwa uMnuz Sam Meyiwa usanda kuveza ukungagculiseki kwakhe ngakuchaza njengokuhudula izinyawo kwamaphoyisa.

Ukhala nangokuthi kuvaleleke nezimali zomshuwalense kaMeyiwa.

Luyaqonga olwekaShengengesikhundla

$
0
0

Iyakhula ingcindezi ebhekene nendodakazi kaDkt Mangosuthu Buthelezi yokuba ihoxe esikhundleni esigaqele sokuhola uphiko lwabesifazane be-IFP.

|||

CELANI SIKHAKHANE

IYAKHULA ingcindezi ebhekene nendodakazi kaDkt Mangosuthu Buthelezi yokuba ihoxe esikhundleni esigaqele sokuhola uphiko lwabesifazane be-IFP njengoba kuvela ukuthi uyise uyibizele emhlanganweni oyinguyazana oLundi ecela ukuthi ingasingeneli lesi sikhundla ngoba kuzosizakala izitha zakhe zepolitiki.

UMntwana uPhumzile Buthelezi kuthiwa ubebizelwe emhlanganweni obekuhlangene kuwo uButhelezi noMnuz Otto Kunene, uNobhala wehhovisi le-IFP.

“Kuze kwaphoqeleka ukuthi ingqungquthela yesifundazwe yabesifazane ebisoLundi iqale sekuntambama ngehora lesihlanu esikhundleni sesikhathi ebesihleliwe sasekuseni okugcine ngokuthi iphele sekuyoshaya ihora lesithathu ezintathakusa zangeSonto. Kulo mhlangano uButhelezi utshele uMntwana uPhumzile ukuthi ngeke kulunge ukuthi angenele lesi sikhundla ngoba izitha zakhe kwezepolitiki zizosizakala zimchaphe ngenhlamba, zithi i-IFP iyiqembu lomndeni wakhe. Uthe kungaba ngcono uma uMntwana uPhumzile engangenela isikhundla sikaNobhala we-IFP Womens Brigade ngoba isikhundla esincane kunesikaSihlalo ngokweqembu,” kusho omunye wabaholi ocele ukungadalulwa ngenxa yokusaba ukuhlukunyezwa.

Uqhube wathi omunye umholi obizelwe kulo mhlangano kube nguNkk Nonkululeko Ndlela onguSihlalo wabesifazane baseZululand be-IFP, osolwe ngokudala uqhekeko nokuthi akhankasele uMntwana uPhumzile ukuba nguSihlalo kazwelonke wabesifazane.

“Le nto imphethe kabi uMntwana uPhumzile ngoba sekukaningi evinjelwa ukungenela izikhundla. Kukhona lapho ayephakanyiselwe khona ukuya ePhalamende kodwa wavinjwa ngabaholi kuthiwa akakwazi ukuya ePhalamende ngoba uyikhansela futhi izitha zikayise zizosizakala ngalokho bese zithi Inkatha iyiqembu lomndeni,” kuqhuba umthombo.

Ngesikhathi ethintwa uNksz Ndlela akazange atholakale ucingo lwakhe kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela noMntwana uPhumzile akatholakalanga.

UMnuz Kunene ethintwa uthe ngamanga aluhlaza ukuthi kube khona umhlangano obumayelana noMntwana uPhumzile.

“Umhlangano esibe nawo ngoMgqibelo obumayelana noMaNdlela ebesimbizele lolu daba oluphume kwiSolezwe NgoMgqibelo. Nokho akukho esizokudalula ngawo ngoba ubuyinto yangaphakathi kodwa kulokhu okuthinta uMntwana uPhumzile baqamba amanga abakutshelile, asikaze sibe nomhlangano naye,” kusho uKunene.

UMntwana uPhumzile kuthiwa uqhuba umkhankaso nabamesekayo wokuba kuchithwe uSihlalo okhona uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa kanti basolwa ngokuthi basebenzisa igama likaButhelezi ngalokhu.

Ingqungquthela yalolu phiko kazwelonke izoba ngenyanga ezayo kodwa indawo ayikadalulwa.

Usaphila obekuthiwa useshonile

$
0
0

Azongcwatshwa ndawonye amalungu ayisishiyagalombili aseMsinsini, eMthwalume, agencwa abulawa entathakusa.

|||

ZANELE MTHETHWA

AZONGCWATSHWA ndawonye ngoMgqibelo amalungu ayisishiyagalombili aseMsinsini, eMthwalume, agencwa abulawa entathakusa yangoLwesithathu ngoba kunezinsolo zokunukana emndenini.

Ngempelasonto kube nemibiko yokuthi sekushone ilungu lesishiyagalolunye lakwaMncwabe ebelisesibhedlela kodwa izolo umndeni ukuqinisekisile ukuthi lisaphila.

Kuzwakale nasemsakazweni uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Weziwe Thusi ekhalisa umndeni ngokushona kwelinye ilungu.

Kulesi sigameko kwashona uMnuz Mantinga Mncwabe (70), uNkk Shonisile Mncwabe (60), uPhindile (35), uPhilasande (1), Amahle (3), Amanda (15), Andile (1) no-Aphiwe (3).

Kwasinda uMinenhle (18), owaphunyuka maqede wahlaba umkhosi ngalesi sigameko okuboshwe kuso ababili abayizihlobo zomndeni.

USphelele (23) okhubazekile waphuma engenamyocu kubulawa wonke amalungu phambi kwakhe.

UXolani Mncwabe (16), owalimala kanzima wangeniswa esibhedlela, nguye obese kuvele imibiko yokuthi ushonile.

Okhulumela umndeni uMnuz Sbu Mncwabe uthe kuphambane imibiko ngokusabalala kwamahlebezi okuthi sekushone elinye ilungu.

“UXolani uyaphila yize esegunjini labagula kakhulu. Kwashaya ucingo abasesibhedlela befuna imininingwane ngoba ngesikhathi engeniswa eminye ayitholakalanga. Kusho ukuthi abasekhaya abezwanga kahle, kwaphambana izinkomishi, umbiko waze wafika kungqongqoshe,” usho kanje.

UMncwabe uthe okwamanje basabhekene namalungiselelo omngcwabo futhi abafuni ukungena ezinsolweni zokuthakatha okuthiwa ziholele kulesi sigameko.

“Uma sesingcwabile sizohlangana sibone ukuthi sibhekana kanjani nalesi simo. Isifiso sethu ukuthi umndeni uthelelane amanzi ngoba asifisi ukuba nalo mlando omubi kangaka,” kuchaza uMncwabe.

Uthe bazama ngayo yonke indlela nokuvikela uMinenhle owasinda njengoba kusekhona nophenyo lwamaphoyisa angufakazi kulo.

Kulesi sigameko kuboshwe uMnuz Thulani Mncwabe (28) noMnuz Sibonelo Mncwabe (26) abavele eNkantolo yeMantshi eMzumbe ngoLwesihlanu. Kulindeleke ukuthi babuyele enkantolo kusasa ukuzofaka isicelo sebheyili.

Inkonzo yomngcwabo izoba sezinkundleni zemidlalo KwaBiyase eMthwalume bese kungcwatshwa emathuneni emaRomeni.

Umngcwabo uhlelwe umndeni ngokusizwa uhulumeni wesifundazwe njengoba ngoLwesine uNkk Weziwe Thusi noNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Sibongiseni Dhlomo bevakashele umndeni bathembisa nokufaka isandla.

Amalungu omndeni athe ayakujabulela ukungenelela kobuholi bezinyanga njengoba uMnuz Sazi Mhlongo ongumengameli weTraditional Healers Association ethe bazophenya.

UMhlongo uthe bazozama ukuthola isangoma okuthiwa sashaya umhlahlo oholele ekutheni kubulawe lo mndeni.

Bathi libhalekile elesiNgisi ku-matric

$
0
0

Bakhale ngesikhathi esincane abafundi abebebhala iphepha lokuqala lesiNgisi kwa-matric.

|||

MHLENGI SHANGASE

BAKHALE ngesikhathi esincane abafundi abebebhala iphepha lokuqala lesiNgisi izolo kwa-matric njengoba izinkumbi zabafundi zivule ngaleli phepha kuleli.

Abafundi bathi amahora amabili abe mancane kakhulu ngoba leli phepha belidinga izimpendulo eziningi. Yize bekhale ngesikhathi esincane kodwa bathi libhalekile.

U-Asiphe Mayisela ofunda u-matric eNewlands East Secondary ukhale ngesikhathi esincane kodwa wathi libhalekile. Uthe usizwe kakhulu amaphepha ango-2013 nawangonyaka odlule ukuze enze kahle.

“Angisizile la maphepha ngoba bengifunda ngawo kanti okuningi kwaphuma kuwona. Yize isikhathi besisincane kodwa lona libhalekile,” usho kanje.

U-Anele Mkhize yena uthe basizwe ukubuyekeza ngoLwesihlanu okumenze wabhala kangconyana kuleli phepha.

“Sifundile ngoLwesihlanu kanti kungisize kakhulu ngoba okuningi kwakho kuphumile. Uma wenze kahle ephepheni lokuqala uba nethemba lokuthi amanye amaphepha uzowaphasa,” usho kanje.

Uthe ufuna ukufunda iziqu zobuthishela enyuvesi yaseZululand, oNgoye ngonyaka ozayo.

Nabafundi baseDabeka Secondary, eMzinyathi basho ngazwi linye bathi balibhale kahle leli phepha kanti sebelinde amanye angase abe nzima okuyiMaths neSayensi.

UDkt Ngogi Mahaye, onguMqondisi ehhovisi likaNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe kulo nyaka kunethemba njengoba ziziningi izinhlelo abazenzile ukuphucula imiphumela yabafundi.

Uthe babe nohlelo lokuphucula imiphumela olwaziwa nge-Operation Bounce Back abebesiza abafundi bezikole ezingaphasanga kahle.

“Ziningi nezinye esibe nazo njengekhempu yabafundi eyayisoPhongolo. Besinolunye ebesinalo eDokkies lothisha nabafundi sibaqoqe bahlala impelasonto yonke befunda. Sibe nezinye neSulabalimi abebeqeqesha othisha kwezoLimo, olweMaths neSayensi nolunye lokucija othisha abafundisa i-Accounting ngokuthi baye kofunda ezinkampanini ezenza ucwaningo ngezimali ukuze babone ukuthi lokhu abakufundisayo yilokhu okudingwa yizinkampani,” usho kanje.

Uthe lezi zinhlelo zisize kakhulu ngoba abafundi bafunde isikhathi esithe xaxa wathi nezikole ezenza kahle bezizihlelele ukufundisa ngamaholidi nangezi-mpelasonto.

Namhlanje abafundi babhala i-Accounting ekuseni nephepha lokuqala lesiZulu ngo-2 ntambama.

Imbokodo ye-ANC izomashela e-Union Buildings

$
0
0

Uphiko lwabesifazane kuKhongolose luzomashela e-Union Buildings luyozwakalisa intukuthelo yalo ngalokho elikubiza ngokudelelwa kukaMengameli.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

UPHIKO lwabesifazane kuKhongolose, i-ANCWL luzomashela e-Union Buildings ePitoli ngoLwesihlanu luyozwakalisa intukuthelo yalo ngalokho elikubiza ngokudelelwa kukaMengameli uMnuz Jacob Zuma.

Esitatimendeni, i-ANCWL ithe: “Iyakugxeka ukubukelwa phansi kwesithunzi sikaZuma yilabo abazibiza ngamaciko. Isibonelo, kunesithombe esiveza ubuntu bukaMengameli busemlonyeni wowesifazane.”

Eminyakeni edlule, kube nemidwebo eminingi eke yenziwa ebiveza ubuntu bukaZuma, egcine isidala intukuthelo emphakathini yaphinde yasusa nezinkulumo-mpikiswano.

Lolu phiko luthe engqungqutheleni yakamuva yeNational General Council (NGC) kaKhongolose, izithunywa zizinike isikhathi ukubheka ingaphakathi nengaphandle embuthweni, zavuma ukuthi umbutho uyahlaselwa.

“Uphiko lwabesifazane njengengxenye ye-ANC lubambe iqhaza kwi-NGC lwavumelana ngokuthi ushaya khona umbono wezithunywa ngokuhlaselwa kwe-ANC,” kusho isitatimende.

“Njengoba siqhubeka nomsebenzi osihlalele wokuvikela abaholi bethu, ngoLwesihlanu sizoba nemashi e-Union Buildings ukwenza isiqiniseko sokuthi abaholi bethu abahlaselwa.”

Lolu phiko luthi phakathi kwamalungelo adinga ukuvikelwa kubalwa:

n ilungelo lesithunzi kubantu bakuleli kubalwa noMengameli njengomuntu nehhovisi lakhe.

n ilungelo lezemfundo njengoba ikusasa lezwe lilele entsheni.

n ukuthuthukiswa kwabesifazane emikhakheni eyahlukene, ikakhulukazi kwezimnotho.

n ukwenza isiqiniseko sokuthi abesifazane ababukelwa phansi ngenxa yobulili babo nokulwa nokuhlukunyezwa kwabo.

n ukulwa nokucwasa ngokobulili

n ukulwa nokubukelwa phansi kwemikhankaso yembokodo.

“Izwe lithule futhi liyahluleka ukugxeka udlame olubhekiswe kwabesifazane. Izintatheli zesifazane nazo ziyahluleka ukusebenzisa amandla azo ukulwa nokuhlukunyezwa kwembokodo.”

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>