Uvukwe umunyu wahluleka ukuqhubeka nokufakaza, wakhala owesifazane oshade noyise wentombazane eyahushulwa amathumbu.
|||BAWINILE NGCOBO
UVUKWE umunyu wahluleka ukuqhubeka nokufakaza, wakhala owesifazane oshade noyise wentombazane eyahushulwa amathumbu ngesitho sangasese yizihlobo zayo zithi ziyikhipha amadimoni, eMlazi kwa-J ngo-2012.
UNkk Nonhlanhla Faku oshade noyise kaSnethemba Dlamini (14) owashona emuva kokuhushulwa amathumbu ngesitho sangasese ubefakaza eNkantolo ePhakeme eThekwini izolo.
UNksz Fundiswa Faku noNkk Lindelwa Jalubane okungo-anti bakaSnethemba nabazala bakhe uNksz Nokubonga noMinenhle Jalubane babhekene necala lokumbulala ngoMashi 2012.
Ngesikhathi ethula ubufakazi uNkk Faku uveze ukuthi ezinsukwini ezimbili ngaphambi kokwabulawa ngalo uSnethemba wayeqale ukukhulekelwa ngoba ethe unamadimoni.
Ngesikhathi ethula ubufakazi uveze izinto ezishaqisayo ezenzeka ngesikhathi kukhulekelwa le ntombazane.
Echaza ngosuku lwangoLwesihlanu okwahushulwa ngalo amathumbu kaSnethemba uthe ngayizolo kwakukade kufike amakholwa amkhulekela waze wathi naye uzizwa engcono ngakusasa waya esikoleni.
Uchaze izinto eziningi ezishaqisayo athe zenzeka ngaphambi kokuthi ahushulwe amathumbu.
Phakathi kwezinto aziballile kube wukushiswa kwamakhadi okudlala nama-sim card ngoba kuthiwa anezinombolo amadimoni ayesebenza ngazo.
USnethemba kuvele ukuthi wake wazama nokubaleka kodwa wafica kukhiyiwe emnyango wasekhishini, uNksz Faku noNkk Jalubane bamjaha bambuyisela ekamelweni.
Uthe uNksz Faku wabuza uSnethemba ukuthi ikuphi i-code wabuza ukuthi enze njani. USnethemba kuvele ukuthi wayikhomba kuye ngaphakathi i-code wathi kumele bakhumule noNksz Faku base bedansa, uSnethemba ecula into engazwakali.
Uthe kwaqala kwashuba uNksz Faku ethi usezokhipha amadimoni kumufi, wamcela i-code ayisebenzisa emkhathini. Uthi kwathi uma engasho lutho wamshaya ephindelela ngento yoku-ayina okhola bamashethi embamba izingubo zaze zadabuka.
Uthe ngesikhathi uNksz Faku esethi ukhipha uSnethemba amadimoni waqale wamshaya ngezimpama nange-aerial ye-TV, uSnethemba waphindisela balwa kodwa umufi wagcina ekhathele walala ngesisu.
Uthe uNksz Faku watshela abanye abasolwa ukuthi ababambe uSnethemba yena ebe eguqile eduze kwakhe ebheke ngasezinyaweni.
“Wacela ummese wabe esebuzwa ngusisi wakhe ukuthi uzowakhipha kanjani amadimoni ngommese kodwa wangaphendula wafaka izandla zakhe zombili phakathi kwasesithweni sangasese nendawo yokulahla itshe lentaba wadonsa ehlukanisa. Ngezwa kuqhuma kwavuleka kwabonakala ngaphakathi,” kuchaza uNkk Faku.
Uthe ngalesi sikhathi uSnethemba wayekhala ethi angawakhiphi kanjalo amadimoni.
Utshele iNkantolo ukuthi uNksz Faku akalalelanga ukukhala kukaSnethemba waqhubeka wafaka isandla kule ndawo eyayisivulekile, wadonsa wabuya namathumbu.
Uthe ithumbu uma liphuma ubelibopha ifindo aphinde adonse, abophe ifindo.
UNksz Faku akakwazanga ukuqhubeka ngenxa yokukhala. Ijaji uMnuz Phillip Nkosi liphoqeleke ukuba lilihlehlisele olwanamuhla icala. Ijaji lithe yize kubuhlungu kodwa inkantolo ifuna ukuzwa okwenzeka.