Abaholi bamaqembu aphikisayo bashiye abangalazi benaphaza uMengameli Jacob Zuma behlaziya inkulumo yakhe yesizwe.
|||
CELANI SIKHAKHANE
ABAHOLI bamaqembu aphikisayo bashiye abangalazi benaphaza uMengameli Jacob Zuma izolo behlaziya inkulumo yakhe yesizwe ayenze ngoLwesine bemchaza njengoMengameli oyisehluleki ohola neqembu lezehluleki. UZuma ubehleli ethule elalele kwezinye izikhathi ahleke ngesikhathi abamaqembu aphikisayo bengazibekile phansi bemgxeka.
Ngaphandle kokugxekwa kukaMengameli Zuma kube nokusetshenziswa kwamagama alumelayo abaholi abebewasebenzisa bethula izinkulumo.
Umholi we-DA uMnuz Mmusi Maimane ube ngowokuqala ukushiya angalazi kuZuma nohulumeni wakhe.
UMaimane uthe ngesikhathi isizwe silila ngeledlule ePhalamende uZuma ubelibele ukuhleka engenandaba nobuhlungu obebubonwa abantu ngenxa yezwe labo elicekeleka phansi.
“Ungumholi oyisahluleki Mengameli futhi akukho ukuhlonipheka ngawe kodwa osekusele ukuthi uphume uphele emandleni okuphatha izwe. Ngesonto eledlule usethulele inkulumo yesizwe engathi shu. Akugcini lapho Mengameli kodwa ezinsukwini ezinhlanu ezedlule ufake leli Phalamende ehlazweni kwangena amaphoyisa ashaya amalungu akhethwe umphakathi kodwa wavele wazihlekela wangakunaka lokho. Wehlule futhi udlula ngisho izikhathi zobandlululo, uyindoda eyisehluleki engenakho nakancane ukuhlonipheka,” kusho uMaimane.
Akugcinanga lapho kodwa nelungu le-NFP ePhalamende uMnuz Maliyakhe Shelembe likhwele ladilika kuZuma lathi inkulumo yakhe ibingenalutho kodwa ibisagcwele izethembiso ezingekho.
Uthe uZuma uzizungeze ngabangani bakhe abahlose ukuzicebisa ngohulumeni nokuthi bamvikele.
UGeneral Bantu Holomisa we-UDM uthe baphoxekile ngoZuma nangezinto ezenzeke phambi kwakhe ngesonto eledlule.
“Kutshalwe amaphoyisa abebekwe sengathi abantu abangabasebenzi balapha ePhalamende abangoweta abalethe amanzi noma ukudla njengoba abegqokiswe izimpahla ezimhlophe. Ngakho ngithi nina bantu bakhe be-ANC mthatheni uMengameli nihambe naye aye ekhaya ayophumula,” kusho uHolomisa .
Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema wenze okungejwayelekile wazama ukuzibamba wazehlisa wagxila enkulumeni yakhe eyala i-ANC noZuma ukuthi ngokwakhe inkulumo yesizwe ubefisa ime kanjani futhi ibhekane ngqo nezindaba ezithinta umphakathi ikakhulukazi lezo ezibalulwa kuFreedom Charter.
“Namhlanje ngeke ngigxile odabeni lwaseNkandla njengoba ngesonto eledlule sashaywa amaphoyisa amanye angibamba kabuhlungu ubuntu bami. Nokho siyethemba ukuthi ngenyanga ezayo uzosicacisela ukuthi uzoyikhokha nini ingxenye yamali eyasebenza kungafanele kuqiniswa ezokuphepha kwakho,” kusho uMalema.
UDkt Mangosuthu Buthelezi we-IFP uqale ngokuncoma uZuma wathi uhulumeni wakhe ubambe ngakho ekulweni nesifo sengculazi nesandulela sayo ngakho ubona kufanele ashayelwe ihlombe kulokho.
“Nokho okubi ukuthi impilo yabantu bakithi inzima njengoba i-ANC kusukela ngo-1994 yabathembisa ikusasa eliqhakazile kodwa kuze kube yimanje i-ANC isathembisa abantu lelo kusasa elingafiki.
Ngabe akusona isikhathi lesi okufanele i-ANC ithembeke kithina ngezinto ezishoyo” kusho uButhelezi.
Uthe uma i-ANC yenza kahle i-IFP iyoma nayo kodwa uma kusho ukuthi izinto azihambi kahle bayoba sohlangothini lwamaqembu aphikisayo noma bazimele.
Kuthe kusenjalo kwangena uNkk Pamy Majodina we-ANC ogadle kwezwakala emaqenjini aphikisayo ewatshela ukuthi awakhohlwe ngoba uZuma isizwe sonke siyamthanda futhi siyameseka ngezinto azenzile.
“Ngaphansi kobuholi bakho Msholozi kube nemfundo yamahhala, abantu abadala bavikelwa abanye bakhelwa izindlu ezilungile izingulube zisho ezikushoyo,” kusho uNkk Majodina.
UNksz Phumzile Van Damme we-DA uthwale kanzima ngesikhathi amanye amalungu e-ANC emvimba ukuthi akhulume ngoba ethi akanabo ubuzwe bakuleli ngoba ungowokudabuka eSwazini.
Uze waphoqwa ukuba axolise emuva kokusebenzisa amagama alumelayo ewaqondise kuNdunankulu waseFree State uMnuz Ace Magashule.
UMnuz Pravin Gordan uxwayise amalungu ePhalamende ngokuthi kumele axazulule izinkinga zawo ngokuhlala phansi abonisane njengabantu abadala kunokugxila ezintweni ezingayi ndawo.
UNksz Thandi Mahambehlala ukhwele wadilika kuMalema wathi akalutho kodwa ugcwele inzondo embi ngendlela eyinqaba wathi basebenzisa isiqubulo sabo sokuthi uZuma akakhokhe ngoba bezifunela udumo.
Namhlanje iyaqhubeka le nkulumo kanti uZuma uzothola ithuba lokuziphendulela kusasa.
Izolo uSomlomo wePhalamende uNkk Baleba Mbete ubengekho kwingxoxo mpikiswano ngenkulumo kaZuma kodwa ubebanjelwe iphini lakhe uMnuz Lechesa Tsenoli, usihlalo weNational Council of Provinces uNkk Thandi Modise, iphini lakhe uMnuz Raseriti Tau kanye nosihlalo wendlu uNksz Thoko Didiza.