Sekuqubuke umsindo mayelana nesinqumo sikaNkk Nomusa Dube-Ncube sokufaka amakhosi kuMasipala weTheku.
|||MLUNGISI GUMEDE
SEKUQUBUKE umsindo mayelana nesinqumo sikaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, sokufaka amakhosi kuMasipala weTheku lapho kulindeleke ukuthi athole umhlomulo ka-R5000 njalo ngenyanga.
Amakhosi angu-40 izindawo zawo ezikumasipala kulindeleke ukuthi abambe iqhaza emihlanganweni yomkhandlu.
Umsindo uvela kwi-DA ekhala ngokuthi yinkulu le mali ezonikwa amakhosi ngoba isola ukuthi ngeke aze alubhade ngisho emihlanganweni.
Umholi wekhokhasi ye-DA eThekwini, uMnuz Zwakele Mncwango, ubuze ukuthi qhaza lini elizobanjwa ngamakhosi emkhandlwini ngoba akhona amakhansela okuyiwona abhekelele ukuletha intuthuko emphakathini.
Uthe ngokwazi kwakhe amakhosi aholelwa wucogta manje kungani sekumele anikwe enye imali.
“Nginovalo lokuthi abanye oNdabezitha bazozilovela bangezi emihlanganweni kodwa bathole imali, ngaphezu kwakho konke lokhu ngibona ngathi inkulu le mali abazonikwa yona,” usho kanje.
Ilungu lekomidi elihola umkhandlu, uMnuz Nigel Gumede we-ANC, lithe uma kukhulunywa iqiniso yincane le mali ezonikwa amakhosi ngoba kuzokwenzeka ukuthi izindleko zenkosi ethile zibe ngaphezulu kuka-R5 000 ngenyanga.
U-R5 000 ozonikwa amakhosi kuthiwa yimali yokuwahlangabeza ngezindleko azongena kuzona angazihlelele njengoba sekuzomele abambe iqhaza emkhandlwini.
“Lapha sibheke uphethroli wokuza emihlanganweni, amakhosi abuye ahlele imihlangano yomphakathi kungenzeka inyanga ethile izindleko zibe nkulu,” usho kanje.
IMeya uMnuz James Nxumalo ithe bayakuthokozela ukusebenzisana namakhosi kodwa kuzomele basebenze ngokwemithetho nemigomo kamasipala.
“Kuzomele amakhosi ahambe imihlangano, uma inkosi ethile ingeke ikwazi ukuphumelela ibike kodwa uma kwenzeka inkosi ethile igcine isilova emihlanganweni kulandelana sizophoqeleka ukuthi silandele imigomo ngoba ngeke sikwazi ukuholela umuntu ongezi emhlanganweni,” usho kanje.