Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Unyamalale obehlelelwa umcimbi

$
0
0

Ubehlelelwa isiphihli somcimbi wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa ngoFebhuwari 14 onyamalale eyofuna isikhala sesikole.

|||

ZANELE MSOMI

UBEHLELELWA isiphihli somcimbi wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa ngoMgqibelo ngoFebhuwari 14 onyamalale eyofuna isikhala sesikole okungakacaci ukuthi ubeyosifuna ngakuphi.

ULindo Ngcobo (18), waseNseleni kuthiwa unyamalale ngoJanuwari 12 elokhu ekhala ngokuthola isikhala sokufunda njengoba eqede u-matric ngonyaka odlule. Unina uNkk Salamina Ngcobo uthe akasabuthi quthu ubuthongo njengoba engazi ukuthi indodana yakhe ikuziphi izinkalo. Okwenza asole ukuthi kukhona okubi okwenzekile wukuthi ayikaze inyamalale ngaphandle kokwazisa umndeni.

Kubikwa ukuthi uLindo obebamba itoho eRichards Bay, wagcina ekhaya ngoJanuwari 12 eya etohweni, ezodlula alungisele nendaba yokufuna isikole.

“Ngayizolo wayekade eyolungisa izinto zakhe zesikole ebezizodingeka uma ebhalisa. Wayethe ufuna ukuyofunda eMajuba College, eNewcastle kukhona azobaphathisa ngakusasa. NgoMsombuluko wavuka eya etohweni abesebenza kulo nomfundisi,” kuchaza uNkk Ngcobo.

Uthe wafika kuyena esezovalelisa wamnikeza nemali yokugibela eyanele ukuya etohweni eRichards Bay.

“Ngamphathisa ukudla namakhekhe, savalelisana njengokujwayelekile sizobonana ntambama,” kusho yena.

Uthe baqale ukumangala ngo-9 ekuseni umfundisi eshaya ucingo ebuza uLindo athe akafikanga emsebenzini. UNkk Ngcobo uthe uzwe ngalolu suku esefuna ukushayela indodana yakhe ukuthi ngayizolo iphucwe ucingo ngabanye abafana bendawo. Uthe lokhu kushiwo ngabafowabo abebemfihlele ngalesi sigameko. Nokho akaboni ukuthi ukunyamalala kuhlobene nokuphucwa umakhalekhukhwini.

“Ngiphatheke kabuhlungu angikwazi nokuchaza. ULindo ubezoba nosuku lokuzalwa ngoFebhuwari 14. Njalo ngalolu suku besenza okuthize ukumjabulisa kodwa kulokhu besihlela okwehlukile ngoba ngifuna ukumbonga ngokuphasa kahle u-matric. Besihlela umcimbi yena engazi, sizoba nenkonzo bese kuhlanganisa nokugubha usuku lokuzalwa,” kusho uNkk Ngcobo.

Umfowabo kaLindo uThokozani uthe babuze kubangani nabo abathe abazi ngokunyamalala kwakhe. Uthe abangani bakhe bathi wayekhulume ngokuyofuna isikhala sokufunda eMajuba.

Kuthiwa kukhona umakhelwane othi wambona eyogibela ibhasi ngosuku anyamalala ngalo, wathi usethole indawo yokufunda eThekwini. Nokho umndeni kaLindo uthi awazi lutho ngalokhu.

Sekuvulwe icala lokunyamalala esiteshini samaphoyisa eNseleni kodwa amaphoyisa athi akukatholakali mkhondo.

Umndeni uthi usuthembe amaphoyisa njengoba ungakaze umbheke nasezibhedlela.


Abagulayo bathi ama-ambulensi ayabakhokhisa

$
0
0

Abanye babantu baseNquthu bafuna kuphenywe ngokuthiwa kwenziwa abashayeli bama ambulensi kahulumeni.

|||

LUNGI LANGA

Abanye babantu baseNquthu bafuna kuphenywe ngokuthiwa kwenziwa abashayeli bama ambulensi kahulumeni asebenzela khona okuthiwa bakhokhisa abantu u-R70 uma bezobalanda emakhaya begula.

Bathe sekuyinto ejwayelkile ukuthi bakhokhiswe imali ngaphambi kokuba bathathwe.

Elinye ilungu lomphakathi, elicele ukuthi igama lalo ligodlwe, lithe abantu batshelwa ukuthi kufanele bakhokhe imali.

Lithe belilokhu lizwa abantu bekhuluma ngodaba lokukhokhiswa laze lazibonela ngesikhathi sekuthiwa abakhokhe izindleko zomfowabo obengaphilanga.

“Bafike babuze ukuthi umuntu odinga ukuhanjiswa uhola impesheni yini noma uyasebenza. Uma ehola impesheni akakhokhiswa kodwa uma engasebenzi engenayo imali akahanjiswa,” kusho ilungu lomphakathi.

Lithe into enjena ibilokhu yenzeka kusukela ngo-2010 kodwa babekhokhiswa u-R25.

Okuxakayo wukuthi imali ekhokhwayo wu-R70 kodwa isiliphu osinikwayo asibhalwa isamba esifanayo. Sibhalwa u-R45 futhi akucaci kahle ukuthi usuke ukhokhelani.”

Lithe batshelwa ukuthi le mali eyokubahambisa esibhedlela. Ngokusho kwakhe kubathatha imizuzu elinganiselwa ku-45 ukuthi basuke lapho behlala khona beya esibhedlela iCharles Johnson Memorial.

Ikhansela lakwaHlazakazi, uNksz Zanele Sithole, uthe akukho abesekuzwile ngokukhokhiswa kwabantu.

Uthe usazozama ukuthola nakwabanye ngalolu daba ngoba yize ehlala esigungwini sabaholi bomphakathi akukaze kube khona isikhathi la kukhulunywa khona ngodaba olufana nalolu.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo, uMnuz Sam Mkhwanazi, uthe abashayela ama-ambulensi akufanele baqoqe imali ezigulini ngoba abanikwa amarisidi abangawanika iziguli uma sezikhokhile.

Uthe okufanele bakwenze wukuqoqa imininingwane yeziguli bese beyidlulisela esibhedlela ukuze kube yisona esikhokhisa iziguli. UMkhwanazi uthe usizo lwezempilo okukhona kulo nolwezimo eziphuthumayo luyakhokhelwa. Izingane ezingaphansi kweminyaka eyisithupha, abakhulelwe kanye nabahola impesheni kuphela abangakhokhi.

Umfana ofile: izihlobo ziyathinteka?

$
0
0

Kungenzeka ukuthi kuthinteka izihlobo odabeni lomfana wasePhoenix otholwe eseshonile emuva kokuthunjwa.

|||

NOSIPHO MNGOMA

Kungenzeka ukuthi kuthinteka izihlobo odabeni lomfana wasePhoenix, eThekwini, otholwe eseshonile emuva kokuthunjwa ngoLwesine ekuseni esendleleni eya esikoleni iClayfield Primary khona endaweni.

Isidumbu sika-Shahiel Sewpujun (9) sitholwe ngeSonto esitamkokweni ngamalungu omphakathi abesebenzisana namaphoyisa ukusithungatha. Sitholwe endaweni eyibanga elifushane ukusuka esikoleni sakhe. Ukunyamalala kwakhe kuthiwa bese kukhubaze nomndeni wakhe ngokomoya kangangokuba amalungu amabili omndeni bese ezame nokuzibulala.

Kuboshwe abantu abathathu ngalesi sigameko kodwa namanje bebengakabekwa amacala.

“Obekhona ngesikhathi kutakulwa isidumbu uthe emuva kokufika kwemoto yezidumbu amaphoyisa angene esitamkokweni ephethe okucwelezelayo abe esephuma naso isidumbu. Nakuba bebathathu okuthiwa baboshiwe kodwa kuthiwa ngaphambi kokutholwa kwesidumbu amadoda amabili athathwe amaphoyisa ayowahloma imibuzo ngalesi sigameko,” ngokusho kwesikhulumi samaphoyisa, uMajor Thulani Zwane.

Uthe akazi noma bahlobene yini nalo mfana njengoba bese kunamahlebezi aveza lokho. Abanye ababili bomndeni walo mfana kuthiwa basesimeni esibucayi esibhedlela emuva kokuphuza ibrake fluid bezama ukuzibulala.

Umthombo okhulume nentatheli uthe kutholwe incwadi enuka izihlobo zalo mfana ekuthunjweni kwakhe.

UMfundisi wendawo obesekhaleni lokuthungathwa kwesidumbu emphakathini, uMervin Reddy, uthe uhlukumezeke kakhulu ngesikhathi ebona isidumbu sika Shahiel esitamkokweni endaweni engcolile enotshani. UMfu Reddy, obebonakala ukuthi usashaqekile ngakubonile, uthe isidumbu besimbozwe ngocwazi, izinyawo zakhe ezincane ziphumele ngaphandle.

Uthe ubengasawugqokile umfaniswano wesikole athunjwa ewugqokile. Uyise, uMnuz Mohammed Shaheer, ubesemotweni ekhala ngesikhathi kutakulwa isidumbu sendodana yakhe engakwazi ukubona konke obekwenzeka. Unina kaShahiel, u-Ishara, uhlulekile wukuzibamba emuva kokutholwa kwesidumbu sendodana yakhe.

UMfu Reddy ubesekhiphe umehlokaboni kulowo oyonika umkhondo ngokuthunjwa kwalo mfana. “Ubani umuntu ongenza isihluku esingaka, ubani ongenza umfana omncane kanjena ahlukumezeke ngale ndlela. Uma kuyiqiniso ukuthi kukhona abomndeni wakhe abathintekayo, kuzokwenza izinto zibe zimbi kakhulu ngoba bebesondelene naye, kodwa kwaba yibo abamzwisa ubuhlungu,” kusho uReddy.

Ngaphambi kokutholwa kwesidumbu uyise womfana uthe umndeni wakhe ubumfihlela ngokuthunjwa kwakhe kwaze kwaba uLwesihlanu.

“Ngicabanga ukuthi bebezama ukungivikela bengafuni ngizwe ubuhlungu ngoba bezitshela ukuthi umfana usazotholakala,” kusho uShaheer.

Libanjwe nezidakamizwa phesheya iphoyisa laseThekwini

$
0
0

Iphoyisa lombutho weSAPS liboshwe phesheya kwezilwandle ngokushushumbisa izidakamizwa esikhumulweni sezindiza iHong Kong International Airport.

|||

NOKUTHULA NTULI

IPHOYISA lombutho weSAPS elisebenzela echwebeni laseThekwini liboshwe phesheya kwezilwandle ngokushushumbisa izidakamizwa esikhumulweni sezindiza iHong Kong International Airport lisendleleni lilibhekise eChina emasontweni amabili edlule.

USergeant Busisiwe Zungu (36) kuthiwa ubengaqali ukuya eChina. Kuthiwa ujwayele ukuya khona eyothenga impahla yebhizinisi lakhe lezingubo. Usebe iphoyisa iminyaka engu 11 futhi uphinde abe umqondisi wenkampani Impunga Holdings okuyinkampani yezokuxhumana enamagatsha ahlukene KwaZulu-Natal. Ukuboshwa kwakhe kuqinisekiswe izolo okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane..

“Noma ngabe yiliphi iphoyisa uma libanjwa ecaleni elinjena liyamiswa ngokuphazima kweso ngaphambi kokuba kuqale uphenyo. Alukho olunye ulwazi oluningi esinalo njengoba eboshelwe eHong Kong,” kubeka uZwane.

Ukuboshwa kwakhe kushaqise abangani nozakwabo asebenzisana nabo ebhizinisini abamchaze njengomuntu owuhloniphayo umthetho. Kuthiwa ugcine ukuxhumana nomndeni wakhe ngoJanuwari 22 ewutshela ukuthi udukelwe i-passport yakhe kodwa ubehlela ukubuyela ekhaya ngakusasa.

“Ubengeke ashushumbise izidakamizwa. Uyawazi umthetho futhi uyazi nokuthi ubengaboshwa ngoba ubeziqhenya kabi ngokuthi ungumuntu omsulwa,” kusho umngani ocele ukungadalulwa.

Kuthiwa ubenomuzi ePhoenix kodwa wawudayisa wathenga iflethi ePinetown.

“Ubengaphili impilo ephezulu kodwa ubekwazi ukuthola into ayifunayo. Ngiyakhumbula ngonyaka odlule eshintsha iDodge yakhe ethenga iRange Rover abantu babezibuza ukuthi imali uyithathephi kodwa uBusi uyisebenzele imali yakhe futhi ubengayixhaphazi,” kwenaba umngani. Uthe ukholwa ukuthi impahla yakhe yahlangana neyabashushumbisa izidakamizwa.

Uzakwabo enkampanini Impunga uMnuz Menzi Ndlovu, umchaze njengomuntu osebenza kanzima kodwa wathi ubengeke aze angene ezidakamizweni.

Inxusa lakuleli eHong Kong, uMnuz Given Mlotshwa, licele ukuba kuthintwe uMnyango wezokuXhumana namazwe angaphandle ngalolu daba.

Okhulumela umnyango uMnuz Nelson Kgwete uthe bazophenya ngokuboshwa kukaSergeant Zungu. “Engingakusho ukuthi uma eboshiwe ithimba lethu eHong Kong lizophenya lisazise ngokuzokwenzeka,” kusho uKgwete.

UPatricia Gerber wenhlangano esiza abakuleli ababoshelwe phesheya kwezilwandle iLocked Up, uthe uSergeant Zungu ungena emdenini wamakhulu abantu bakuleli ababoshwe phesheya okungenzeka bangaphinde babuyele emakhaya.

“Ngebhadi eChina banesigwebo sentambo ngecala lokushushumbisa izidakamizwa noma ngabe akunjalo uhulumeni wakuleli awunaso isivumelwano sokudluliswa kweziboshwa okusho ukuthi uma kuthiwa uyagwetshwa uyohlala eChina aze aqede isigwebo,” kusho yena.

Baphihlize izimoto zothisha bebhikisha

$
0
0

Kuphazamiseke ukufunda kwaphihlizwa izimoto zothisha ngamatshe eThandolwesizwe High School.

|||

ZANELE MSOMI

KUPHAZAMISEKE ukufunda kwaphihlizwa izimoto zothisha ngamatshe izolo eThandolwesizwe High School eLindelani abafundi bebhikishela ukuthi kubuyiswe uthisha weHistory okuthiwa wamiswa ngonyaka odlule.

Kusuke isidumo iqulu labafundi lijikijela ngamatshe lingaphandle kwesango libhekise ngasezimotweni zothisha kwalimala nekathishanhloko.

USihlalo wesigungu sabazali uMnuz Mandla Manqele uthe ufike esikoleni ngo 5.40 ekuseni emuva kokuzwa ukuthi abafundi bahlela ukuphazamisa ukufunda.

“Ngifike esikoleni ngajoyinwa abanye abazali namalungu eCommunity Policing Forum. Kuthe sekuzokhala insimbi kwafika umfana ofunda uGrade 12 wama ngaphandle wajoyinwa abanye bagcina beyiqulu. Esikhundleni sokuya emthandazweni bashaye itoyi-toyi kwaphazamiseka umthandazo. Yilapho kubizwe khona amaphoyisa ngoba bese bephusha ucingo bejikijela amatshe,” kusho yena.

UManqele uthe bebengazi ukuthi kukhona abanganelisekile ngakho abafundi kodwa bebazi ukuthi kunothisha owamiswa. Uthe ngokujwayelekile uma abafundi benezikhalo bahambisa incwadi ehhovisi likathinshahloko.

“Amaphoyisa afike avika amatshe ngoba bekusajikijelwa. Kunezimoto zothisha ezilimele abanye bazishushumbisa beyozifihla kude. Inkinga abafundi abasafuni uthisha weHistory kodwa bafuna lona omisiwe. Sibize umhloli kwavunyelwana ngokuthi abangaphakathi abaqhubeke bafunde kuzophela isonto esekhona omunye uthisha,” usho kanje.

Isolezwe lifike kukhona abafundi abasemakilasini kodwa elinye iqulu lihleli ngaphandle kwesango abanye sebekhumule nomfaniswano.

Omunye ofunda uGrade 12 uthe bazoya esikoleni namuhla beyobheka ukuthi ukhona yini uthisha weHistory, uma engekho bazoqhubeka la begcine khona. Abanye bebekubeka kucace ukuthi uma lowo thisha engafani nentandokazi yabo emisiwe ngeke baqhubeke nokufunda. Bathe kusukela ngoSepthemba abanaye uthisha weHistory sebekhethe ukubhikisha.

Abazali bebeyizixongololo ngaphakathi abanye bethi basabela ukuphepha kwezingane zabo ezingase zihlukunyezwe uma sekuphuma isikole.

Amaphoyisa abenkanise egcekeni anqabile ukuphawula ngokwenzekile athi abizwe ukuzoqapha isimo. Imoto yawo yokugcina ihambe emuva kwehora lokuqala emini iphoyisa laxwayisa abafundi lathi abahlakazeke bangaze bangene enkingeni.

“Ngisayolanda amadoda anamandla amakhulu okuzoba nzima uma enifica nisamile la,” kusho iphoyisa.

“Balande asinendaba kusho ukuthi anamandla kuwena phela hhayi kithina. Thina siziphumulele la sibe nosuku olude kabi,” kumemeza abafundi ngendelelo.

UMnuz Muzi Mahlambi okhulumela uMnyango wezeMfundo uthe bajube ithimba elizoxazulula inkinga esikoleni.

I-ANC iphika eyokudlisa uMchunu ushevu

$
0
0

I-ANC eKZN isiyichithe njengamampunge imibiko yokuthi kukhona abaholi bayo ababehlela itulo lokudlisa ushevu uMnuz Senzo Mchunu.

|||

bongani hans

I-ANC KwaZulu-Natal isiyichithe njengamampunge imibiko yokuthi kukhona abaholi bayo ababehlela itulo lokudlisa ushevu uSihlalo wayo obuye abe nguNdunankulu wesifundazwe uMnuz Senzo Mchunu.

UNobhala we-ANC esifundazweni, uMnuz Sihle Zikalala uthe lezi zinsolo ziyimizamo yokwakha uqhekeko kubaholi bayo. NgeSonto iphephandaba iSunday Times libike ukuthi kukhona isisebenzi sikahulumeni ebesifuna ukudlisa ushevu uMchunu. Umbiko walo uqhube wathi linombiko wezobunhloli othi kwakunetulo lokuba uMchunu adliswe.

“Imibiko yokudlisa uSihlalo isishaqisile futhi siyithatha njengento eyitulo lokwakha uqhekeko kwi-ANC. Akekho kwi-ANC owazi ngalezi zinsolo futhi akekho owazi nangombiko wezobunhloli okuthiwa uveza ukuthi kwakunetulo lokudlisa ushevu uMchunu,” kusho uZikalala.

“Lezi zinsolo zingezinye zezindlela zokuvimba i-ANC ukuthi iqhubeke nezinhlelo zokusiza umphakathi.

“Singabaholi siyawachitha la mampunge. Ngeke sivumele kube khona abazodukisa iqembu futhi sizoqhubeka nokusebenzela abantu besifundazwe. Akukho mbango wezikhundla njengoba i-ANC esifundazweni izoze ibe nengqungqu-thela ngo-2016. Umgomo we-ANC uthi indaba yezikhundla ixoxwa uma sekunezingqu-ngquthela. Akukho ngqungquthela ezoba khona maduzane njengoba simatasa nezinhlelo zeqembu,” kusho uZikalala.

Yize kunjalo kodwa imithombo engaphakathi ku-ANC igcizelele izolo ukuthi leli tulo likashevu liyaziwa eqenjini. Ithi iqembu alifuni ukuliveza leli tulo ngenxa yokwesaba ukuthi lizohlukanisa abantu.

“Babili abaholi abaphezulu abathintekayo kuleli tulo. Basebenzisa othile wesifazane ngoba bazi ukuthi wayengahoshelani kahle noMchunu,” kusho umthombo.

Kuthiwa ngemuva kokuba uMchunu etholile ngaleli tulo wabiza umhlangano wabaholi abaphezulu ku-ANC, Cosatu, SACP neSouth African National Civil Organisation ezobatshela ngengozi ayebhekene nayo.

“Ngemuva kwalokho lona wesifazane wayiswa eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana.

“Lo wesifazane wayeqashwe ngesikhathi (umgcinimafa we-ANC) uZweli Mkhize esenguNdunankulu kanti kusukela athatha uMchunu akakaze azwane nalo wesifazane,” kusho umthombo.

UZikalala unxuse amalungu ukuthi angadukiswa ile mibiko eyakhelwe ukudukisa wathi amalungu awagxile ekusizeni abantu aqhubeke aseke leli qembu.

Uthe nemibiko yokuthi kukhona nombango oshisa phansi mayelana nobuholi obuphezulu ngamampunge. Umbiko uveze nokuthi lezi zinsolo sezidale ukushuba ngaphakathi ebuholini be-ANC.

UMchunu kuthiwa wayezodliswa ngomunye wababepheka ukudla.

Kuvele nokuthi umqhafazo womunye wabaholi abaphezulu uthembisa ukuhlomulisa ozodlisa uMchunu.

Ngokombiko waleli phephandaba uMchunu wayezodliswa ngo-Okthoba kodwa wasindiswa umsebenzi ohlanza indawo owamxwayisa ngokuthi ukudla kwakhe kunoshevu.

Bafuna kuboshwe abafundi abadojayo

$
0
0

Uphiko lwentsha lwamaKhomanisi seluphakamise ukuthi kuboshwe abafundi abatholakala bethalaza nenyufomu ngesikhathi sesikole.

|||

MHLENGI SHANGASE

UPHIKO lwentsha lwamaKhomanisi, uFasimba seluphakamise ukuthi kuboshwe abafundi abatholakala bethalaza nenyufomu ngesikhathi sesikole.

Lolu phiko olulwe lwaze lwaphumelela ekutheni amagama abafundi bakwaMatric angashicilelwa emaphepheni luthe kumele kushaywe umthetho ozokwenza ukuthi umfundi aboshwe uma etholakala edwanguza ekubeni ngabe usesikoleni.

IPhini likaNobhala jikelele woFasimba, uMnuz Isaac Luthuli (osesithombeni), uthe lesi siphakamiso bazosenza nakuNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga.

ULuthuli uthe imfundo ibalulekile kanti abantu abanjengoMnuz Joe Slovo balwa ukuze kube nenkululeko.

“Kumele kushaywe lo mthetho ukuze singabi nabafundi abawuvanzi ngesikhathi sesikole. Uma uhamba ngabo 9 uhlangana nabafundi begcwele umgwaqo ungazi noma isikole sesiphumile. Uma kukhona lo mthetho abafundi bazokwazi ukuthi ngeke badoje ngoba bazoboshwa,” usho kanje.

Uthe miningi neminye imikhankaso yezemfundo abayinqobile ebicindezela abafundi.

“Indaba yokungakhishwa kwamagama abo emaphepheni yikhwelo elashaywa yi-YCL kwangenelela nezinye izinhlangano. Sinqobile yize singakayitholi into esiyifunayo yokuthi kungakhishwa ngisho izinombolo zabafundi bakwaMatric ngoba imiphumela yabo kumele bayilande ezikoleni,” usho kanje.

Kuzokhumbuleka ukuthi kube ngokokuqala ukuthi imiphumela yabafundi bakwaMatric yango-nyaka odlule ikhishwe ngezino-mbolo zomazisi hhayi amagama abo.

UNksz Troy Martens, okhulumela uNkk Motshekga uthe abakasitholi lesi siphakamiso se-YCL wathi bazokwazi ukuphawula ngaso uma sebesitholile.

ULuthuli uthe wonke umuntu kumele asukume abhukule ngoba imfundo akuyona eye-ANC kodwa ekawonke wonke.

“Imfundo eyethu sonke akuyona ekaNgqongqoshe Motshekga noma uMsholozi. Asisukume sibambe iqhaza uma kuvalwe izikole ngoba kulimala izingane zethu ezisilela emuva ezifundweni. Kubhalwa izivivinyo kuwona wonke amabanga njengoba ngisho emabangeni aphansi kuneze-Annual National Assessments ezibhalwa ezweni lonke ngakho uma kutelekiwe kulimala abafundi abazobhala lezi zivivinyo,” usho kanje.

Uthe bazoba nomhlangano wekomiti eliphezulu le-YCL kusuka ngoFebhuwari 20 kuya kuFebhuwari 22 lapho bezohlahla khona indlela eya phambili mayelana nokuboshwa kwabafundi abawuvanzi ekubeni ngabe bayafunda.

Isexwayiso kwabahlala mahhala

$
0
0

Uhulumeni usukhiphe isexwayiso esishubile kulabo abadla ngejozi amaflethi asuke akhelwe abantu abathile.

|||

BONISWA MOHALE

UHULUMENI usukhiphe isexwayiso esishubile kulabo abadla ngejozi amaflethi asuke akhelwe abantu abathile osekuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba eThekwini.

UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu neMisebenzi kaHulumeni KwaZulu-Natal, uMnuz Ravi Pillay, ukhiphe lesi sixwayiso izolo ngesikhathi ekhuluma engqungqutheleni yezezindlu eMayville.

UPillay uthe yize bakha amaflethi aqondiswe kubantu abangakwazi ukuthola amabhondi kodwa babhekene nenkinga yalabo bantu abafuna ukuhlala kuwo mahhala, bawadle ngejozi.

“Sihlangene lapha ukudingida indaba yamaflethi kahulumeni aqashwayo, izingqinamba esibhekene nazo siphinde sithole nezisombululo ezizoqinisekisa ukuthi siya phambili. Amaflethi akhelwa abantu abangakwazi ukukhokhela ibhondi kodwa abahola imali engabaniki igunya lokuthola indlu yomxhaso, kurentwa imali encane engafani neyamaflethi aphethwe yizinkampani ezinkulu. Sibhekana nengwadla uma sekukhona abangena kuwo ngodli, bengafuni ukukhokha irenti njengoba kwenzeka eRiverview ngonyaka odlule,” kusho uPillay.

Uthe baphoqeleka ukuthi baye enkantolo bayothola incwadi yokubakhipha ngoba babazi ukuthi bahleli emaflethini arentelwayo futhi ukungayikhokhi irenti kuyicala.

“Siyajabula ukuthi abantu bayakuqonda ukuthi kufanele bayikhokhe irenti ngoba uma sakha amaflethi sisuke siboleke imali okumele ikhokhwe futhi izindlu abahlala kuzo kumele zihlale zisesimeni esihle. Uma abantu behlala emaflethini akusho ukuthi kusuke sekuthiwa ngeke babe nemizi kodwa njengoba besebenza emuva kweminyaka ethile bayakwazi ukuphuma kuwo. Ngisho nami ngangiqasha esigabeni esithile sempilo yami. Akekho umuntu oqeda isikole bese ehamba eyohlala emzini othi yena, uqale asebenze, aqashe ngaphambi kokuyonethezeka kwakhe,” kusho uPillay.

Uthe eminyakeni emihlanu ezayo uhulumeni uzimisele ukwakha izindlu ezingu-1.5 million okusho ukuthi kuzobe kwakhiwa ezingu-300 000 ngonyaka kanti KwaZulu-Natal zizobe ziwu-60 000 ngonyaka.

Kube sekuhanjwa kuyobhekwa amaflethi amasha akhiwa nguMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ehostela iDalton.

UPillay uthe sebakha uhlobo olusha lwamahostela olungafani nolukahulumeni wobandlululo njengoba sebakha izindlu ezingakwazi ukuhlalisa umndeni futhi ezizophepha kungangeneki kalula.

“Kuyasikhathaza ukuthi amahostela asathathwa njengezindawo ezingaphephile nezinodlame kodwa-ke siyakushintsha lokho njengoba sesakha izindawo eziphephile ezilungele ukuhlala imindeni. Ukungena ngeke kube lula njengakuqala zizoqina ezokuphepha futhi sizosebenzisana nabahlali bakhona,” kusho uPillay.

Uphethe ngokuthi ngesonto elizayo bazokhuluma ngolunye uhlelo lwabo lwentuthuko okuyiCornubia lapho kulindeleke ukuthi iningi labantu abangenazindlu eThekwini bathathwe yilo.


Uqolwe obekhangise ngendawo yokuqasha

$
0
0

Usephenduke undingasithebeni umfundi waseDamelin College oluthwe owesifazane obefake isikhangiso ku-Gumtree.

|||

MLUNGISI GUMEDE

USEPHENDUKE undingasithebeni umfundi waseDamelin College oluthwe owesifazane obefake isikhangiso kwi-website edumile u-Gumtree ethi uqashisa ngeflethi kanti umshaya ngemfe iphindiwe.

UKhulekani Zwane (23) waseVryheid owenza izifundo zePublic Relations kumanje akanayo indawo yokuhlala ngemuva kokuba eluthwe yilona wesifazane omkhokhise u-R1500, maqede wavala ucingo.

UKhulekani uthe ubone isikhangiso kuGumtree, wase ephendula enombolweni ebifakwe khona, wagcina esexhumana nowesifazane ozibize ngoRosie othe iflethi ngelakhe.

“Sigcine sesixoxa nalona wesifazane ku-whatsapp, wathi angifake imali ngoLwesibili olwedlule, ngayifaka kwaSpar ePhoyinti, uqinisekisile ukuthi uyitholile wathi kumele sihlangane khona ngizobona indawo. Kuthe sengimfonela ngathola ucingo lwakhe seluvaliwe,” usho kanje.

UKhulekani uthe ubikele amaphoyisa wona amxhumanise nophiko olubhekele amalungelo abantu abahlala emaflethini.

UNksz Pretty Gumede walolu phiko uthe sebethole izikhalo eziyisikhombisa ezifana nesikaKhulekani kusukela kuqale lo nyaka.

“Kuyacaca ukuthi kukhona umkhonyovu owenziwa ngabantu abafaka izikhangiso kuGumtree, emaphepheni noma ezindongeni bathi baqashisa ngezindawo zokuhlala,” usho kanje.

UNksz Gumede uthe kunzima ukuxazulula le nkinga ngoba abafaka izikhangiso ababe besatholakala uma sebevale izingcingo.

“Sinxenxa uhulumeni ukuba uchibiyele umthetho ozophoqa abafaka izikhangiso zokuthi baqashisa ngezindawo zokuhlala ukuba bakhiphe yonke imininingwane yabo ekhomba nokuthi batholakala kuphi, abangenayo leyo mininingwane bangavunyelwa ukuba bakhangise ngoba sebephelile abantu beqolwa abathi baqashisa ngezindawo zokuhlala ezingekho,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Khephu Ndlovu uthe amaphoyisa aphenya icala lokweba.

UNdlovu uxwayise abafundi njengoba kusanda kuvulwa izikole wathi abafuna izindawo kumele benze isiqiniseko sokuthi indawo ikhona ngaphambi kokuthi bafake imali.

Uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi owesifazane oqole uKhulekani uyatholakala.

Okusha ngezibalo zabangasebenzi

$
0
0

Ngokwezibalo ezisemthethweni zabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika lehlile izinga ngekota yesine ngo-2014.

|||

sapa

NGOKWEZIBALO ezisemthethweni zabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika lehlile izinga ngekota yesine ngo-2014 ngo-1.1 % laya ku-24.3 %, ngokusho kwabeStatistics SA izolo.

“Uma ubheka ikota ngayinye ehlile amazinga abantu abangasebenzi,” kusho iphini lomqondisi kule nhlangano, uKefiloe Masiteng, etshela izintatheli ePitoli.

Bangu-242,000 abantu abathole umsebenzi ngekota yokugcina ngonyaka odlule. Bekunabantu abangu-4.9 million abangasebenzi.

Uma kubhekwa izibalo zabantu abangasebenzi kusuke kubalwa labo abangasebenzi kodwa abazihluphayo ukuwufuna.

Bese kuba ne-expanded unemployment rate nokuyisibalo sabangasebenzi okubalwa kusona nabantu asebelilahlile ithemba ukuthi bayoke basebenze ngelinye ilanga, esimi ku-34.6 %, noma u-8.1 million wabantu.

Ngo-2008, isibalo sabantu abangasebenzi sasimi ku-23.2% bese kuthi esenabile simi ku-30.9%

Ngo-2011, isibalo sabantu abangasebenzi besimi ku-25.6% kanti i-expanded unemployment rate beyimi ku-36.3%, uMasiteng uthe lezi zibalo zikhombisa ukwenyuka kwabasebenzi abaphele amandla ukuthungatha umsebenzi.

Izinga eliphansi labangasebenzi liseKwaZulu-Natal (20.8%), bese kulandela iLimpopo (15.9%). Isibalo esiphezulu siseFree State (32.2%) nase-Eastern Cape (29.1%).

Kodwa kwi-expanded unemployment rate iWestern Cape (ino-24.5%) bese kuthi iGauteng (ime ku-29.6%) inesibalo esincane sabantu abangasebenzi ezifundazweni.

Zombili lezi zifundazwe zinezinga eliphezulu labantu abasebenzayo abaneminyaka efanele yokusebenza, iGauteng imi ku-51.8% bese kuthi iWestern Cape ime ku- 51.4%.

“IGauteng neWestern Cape yizifundazwe ezinesibalo esiphezulu sabantu abasebenzayo abaneminyaka efanele yokusebenza futhi zinezibalo eziphansi zabantu abangasebenzi,” kusho uMasiteng.

“Uma kuqhathaniswa izibalo eziphansi zabangasebenzi eLimpopo naKwaZulu-Natal lokhu kusho ukuthi siphezulu isibalo sabantu asebelilahlile ithemba.”

Kushone ozalwa abashonela eNigeria

$
0
0

Itholakale ishonile ethoyilethi indodakazi yosomabhizinisi baseThekwini abashona kuwa ibhilidi lesonto eNigeria.

|||

ZANELE MSOMI

ITHOLAKALE ishonile ethoyilethi izolo ekuseni indodakazi yosomabhizinisi baseThekwini abashona kuwa ibhilidi lesonto eNigeria ngoSepthemba.

Kushaye isikhathi sokuloba kungacaci ukuthi ubulawe yini u-Andiswa Ngcobo ozalwa nguMnuz Thuthukani Ngcobo noNkk Dickie Ngcobo abangabasunguli boKuphila Wellness Centre. Abazali baka-Andiswa babesengabanye bakuleli abawu-85 abashona ebandleni likaMfu TB Joshua iSynagogue Church of All Nations (Scoan), eNigeria. Izidumbu zabo zabuyiswa emuva kwezinyanga ezimbili sekungenelele uhulumeni wakuleli bangcwatshwa ngoNovemba.

Kuthiwa isidumbu sika-Andiswa oneminyaka elinganiselwa kwengu-20, sitholakale ethoyilethi emzini walabo somabhizinisi eDurban North.

Imithombo ebisashaqekile ngalesi sigameko esenzeke kusanda kungcwatshwa labo somabhizinisi ibibabaza ifu elimnyama elilandele lo mndeni.

Isolezwe lithole ukuthi umndeni wakwaNgcobo uvuke washayana ngamakhanda ngenxa yalesi sigameko esivuse amanxeba. Kuthiwa u-Andiswa bekulindeleke ukuthi aqale izifundo zakhe kwenye yamanyuvesi eThekwini khona izolo.

Imithombo ikuqinisekisile ukuthi umufi akazilengisanga kodwa bekungakacaci ukuthi kwenzekeni. Bekubatshazwa nokuthi ubeyingane ezithobile futhi engakukhonzile ukukhuluma.

U-Andiswa ubengomunye wezingane zakwaNgcobo eziwu-10 ezasala ziyizintandane emuva kwesigameko saseNigeria.

Kuthintwa omunye wabafowabo bakamufi, uMnuz Simphiwe Ngcobo, ubezwakala ukuthi kunzima ngisho ukukhuluma ngenxa yalesi simo.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi sishonelwe kodwa angikwazi ukukhuluma nokukhipha eminye imininingwane okwamanje. Ungabuye ungishayele uma sengikwazi ukukhuluma,” kusho yena.

Umndeni wakwaNgcobo ukweyathola isimemo sokudla uKhisimusi noMfu TB Joshua eNigeria. Yize eminye imindeni kuthiwa yasinqaba isimemo kodwa umndeni wakwaNgcobo wasamukela njengoba wathi awunagqubu nalo mfundisi futhi wasamukela isimo esenzeka.

USimphiwe watshela leli phephandaba ukuthi umndeni uvumelane ngokuthi isimemo sihlehliselwe uJanuwari ngoba ungeke ushiye izingane zodwa kuwuKhisimusi wokuqala kushone abazali. Wathi nguye ozoya eNigeria njengoba bezicelele ukuthi esabo isimemo sihlehliswe.

Badidekile osomatekisi kubulawa uzakwabo

$
0
0

Basale beshaqekile osomatekisi baseMlazi kubulawa ngesihluku uzakwabo.

|||

BAWINILE NGCOBO

BASALE beshaqekile osomatekisi baseMlazi kubulawa ngesihluku uzakwabo ngesikhathi sokuphithizela kwabantu erenki izolo ekuseni.

UMnuz Nkosikhona Ndlovu (41) kuthiwa udutshulwe ngamadoda amabili angaziwa ezimele ekhoneni lomgwaqo ngaserenki ebhulohweni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, uthe abahlaseli bavele baqonda kuye bamdubula base bethatha isibhamu sakhe i-9mm.

Kuthiwa bagibele iToyota Yaris emnyama emuva kwalesi sigameko yatholwa isishiywe kanjalo esigcemeni kwa-U.

UZwane uthe amaphoyisa aseBhekithemba aphenya icala lokubulala nelokubamba inkunzi kuhlonyiwe kanti kuyaphenywa, akukaboshwa muntu.

USihlalo kasoseshini wakwaMnyandu uMnuz Mzameni Mthiyane uthe bashaqekile ngokwenzekile ngoba kwenzeke ngesikhathi sokuphithizela ekuseni.

“Umfowethu ubulawelwe endaweni abehlala emi kuyo engaphandle kwase-renki ekhoneni ngasemgwaqeni. Kusho ukuthi laba bantu bebemazi ukuthi uma kule ndawo bazomfica khona,” kusho uMthiyane.

Uthe kuduma amakhanda kubo ngoba abazi ukuthi le nduku ebashiyile bazothi iqhamuka kuphi ngoba kusoseshini kuzithulele.

“Akukho okubi esikwaziyo la ngaphakathi. Sisebenza ngokujwayelekile, akukho kuphazamisana okukhona kusoseshini kunokuthula,” kusho uMthiyane.

Uthe bebengakatholi ukuthi uzakwabo uhlaselwe ngaliphi ngoba kuthulekile embonini yabo kule ndawo.

OweChiefs uboshelwe ukushaya intombi

$
0
0

Ulale ebaliwe George Lebese okuthiwa uvulele isibhaxu entombini yakhe.

|||

MINENHLE MKHIZE

ULALE ebaliwe umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uGeorge Lebese (osesithombeni), okuthiwa uvulele isibhaxu entombini yakhe waphinde walimaza imoto yayo ngempelasonto ngesikhathi abadlali baMakhosi benikwe ikhefu lokuphumula.

Isolezwe lihabule ngomthombo walo othembekile izolo ekuseni ukuthi uLebese usenkingeni ngenxa yokufunwa uthuli ngamaphoyisa.

Izolo ntambama okhulumela amaphoyisa eGauteng, uCaptain Kay Makhubele, utshele Isolezwe ukuthi sebembophile umdlali oshaye intombi yakhe wase elimaza imoto yayo yize engafunanga ukuveza igama lakhe ngoba engakaveli enkantolo.

Konke lokho bekungasasho lutho ngoba izolo ntambama iChiefs ikhiphe isitatimende esithi: “IKaizer Chiefs isitshelwe izindaba zokuthi uGeorge Lebese uyathinteka esigamekweni esithize. Umdlali uzinikele yena kwabomthetho futhi udaba lwakhe luyaxoxwa.”

Nokho uCaptain Makhubele uphikile ukuthi umdlali uzinikele kubona.

“Cha, akazange azilethe kithina kodwa simbophile ngemuva kokuthi simbizele endaweni thizeni ngesikhathi senza ucwaningo lwethu ngamacala abekwe wona, ubesibalekela. Uboshelwe amacala amabili – elokubeka isandla owesifazane nelokucekela phansi impahla. Uboshelwe esiteshisini saseSilverton, ePitoli. Uzovela enkantolo maduze. Icala livulwe ngeSonto eSilverton,” kusho uMakhubele.

ULebese ngeke abonakale namuhla uma iChiefs isidudulana neBloemfontein Celtic emdlalweni we-Absa Premiership eFree State Stadium ngo-7.30 ebusuku.

Ngesikhathi iphephandaba lithinta uVina Maphosa wezokuxhumana kuChiefs izolo ekuseni ukhale ngokuthi abaphawuli ngezindaba ezithinta impilo esesithe yabadlali beqembu.

“Udaba okhuluma ngalo angilwazi. Into ekanjalo asizimisele ukuthi iphazamise iqembu ngoba linomdlalo omqoka weligi kusasa (namuhla). Umthetho weChiefs uthi asivumelekile ukuphawula ngezindaba ezisesithe zabadlali. Imithetho yeqembu iphinde ithi asivumelekile ukudalula abadlali abazoba yingxenye yabangu-18 abasuke beseqenjini elizoqala umdlalo. Sivumeleke ukwenza lokho ngosuku lomdlalo, hhayi ngosuku olwandulela umdlalo. Ukube umdlali (uLebese) ongibuza ngaye akekho eqenjini elizoqala umdlalo kusasa (namuhla) ngenxa yokulimala noma yokugula ngabe sesiwukhiphile umbiko ohambisana nembangela engenza angadlali,” kusho uMaphosa.

ULebese ungumdlali weChiefs obalulekile onesandla empumelelweni yaMakhosi ahlezi esicongweni ku-log ngamaphuzu angu-46 emidlalweni engu-18. Useshaye amagoli amahlanu okumenza abalwe nabadlali asebeshaye amagoli amaningi kule sizini. Ekuqaleni kwesizini umqeqeshi weChiefs, uStuart Baxter, wasihlaba isenzo sikaLebese owashaya igoli ngesikhathi bebhekene naMaZulu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini emdlalweni weligi waya kubathandi beqembu abebethi akashintshwe wakhombisa ngesandla ukuthi abaqhubeke phela nokuthi akakhishwe.

Obeku-EFF ukhwele wadilika kuMalema

$
0
0

UMnuz Julius Malema, osabisa ngokuphazamisa inkulumo kaMengameli kwayena ziyamnetha eqenjini lakhe.

|||

LEBOGANG SEALE noKEVIN RITCHIE

UMHOLI we-Economic Freedom Fighters, uMnuz Julius Malema, osabisa ngokuphazamisa inkulumo kaMengameli Jacob Zuma kusasa kwayena ziyamnetha eqenjini lakhe ngezinsolo zokudla imali.

UMalema usolwa ngokuxhaphaza imali yeqembu ukufeza izinhloso zakhe zepolitiki. UMnuz Gayton McKenzie ongumngani kaKenny “Sushi King” Kunene owake waba yilungu le-EFF, ubhalele uMalema incwadi washiya angalazi. Encwadini evulelekile uMcKenzie usola uMalema ngokusebenzisa amakhadi eqembu nokuzigixabeza ngoR30 000 phezu kuka-R85 000 awuhola njengelungu lephalamende ngenyanga.

Kule ncwadi uMcKenzie uthi ubugebengu bukaMalema ubazi ukusuka nokuhlala ngoba bebesondelene futhi nguye obemsiza nangemali ngesikhathi abantu sebemjikele.

Umgxeka ngokuthi kwezepolitiki ungumuntu ongenalutho alumele ngaphandle kokugxeka uZuma esizwa ngabanye abaholi be-ANC.

“Awuvume-lekile ukuthatha ngisho isenti eqenjini lakho kodwa wena uyakwenza bese usabisa abanenkinga ngalokho. Uma usolwa uthi yitulo lokukuketula,” kusho uMcKenzie encwadini.

UMcKenzie uvule incwadi ngokubingelela uMalema njengesigebengu noKhomanda wobusela nokuthi wakhokhela abantu wabathengela nezikibha eziwu-6 000 ukuze baphoxe uMengameli Zuma enkonzweni yesikhumbuzo kaMnuz Nelson Mandela e-FNB Stadium ngoDisemba 2013 ehambisana nabanye be-ANC angabashongo.

UMalema wenqabile ukuphawula ngezinsolo ezibhekiswe kuye.

“Angifuni nokuzikhathaza ngalokhu kodwa ngikuthatha njengetulo lokungihlasela. Kade ngangisolwa empilweni yami futhi angifuni ukuzixaka ngalezi zinsolo,” kusho yena.

Ngesonto eledlule i-EFF iveze iveze ukuthi isola ilungu lephalamende uMnuz Andile Mngxithama ngokuzama ukuhlukanisa iqembu. UMngxitama kuthiwe usebenzisana noKunene noMcKenzie ukudala uqhekeko eqenjini.

UMalema ubelokhu ebelesele ngokuthi ufuna ukubuza uZuma ukuthi uzoyikhokha nini imali okuthiwa yasetshenziswa ngokungafanele ukwakha umuzi wakhe oseNkandla. UMcKenzie uthe uMalema usola umengameli ngenkohlakalo kodwa naye akekho msulwa.

UMcKenzie uphinde wasola uMalema ngokuthi isizathu sokufuna ukuthi aqhubeke aholele uMnuz Papiki Babuile oyilungu leSishayamthetho eNorth West phezu kokuba enecala lokubulala wukuthi naye uyathinteka ecaleni lokubulawa kukaMnuz David Cika owayenguNobhala we-ANC. UMcKenzie uthe uMalema ufuna ukuthi naye uma kwenzeka eboshwa aqhubeke nokuhola.

“USomlomo weSishayamthetho ukubhalele encwadi ekutshela ukuthi okwenzela uPapiki kuphambene nomthetho,” kusho incwadi.

NgoLwesihlanu olwedlule kumenyezelwe ukuthi uBabuile akaselona ilungu leSishayamthetho.

Encwadini kaMcKenzie kuvele nokuthi i-EFF ayisakwazi ukukhokhela abasebenzi bayo abanye sebediliziwe ngenxa yokuthi uMalema uxhaphaza imali ekhithiza ngamakhadi eqembu ezitolo ezinkulu zaseSandton eGoli.

Isililo kubulawa abokuhamba eThekwini

$
0
0

Bathi bafe olwembiza abantu baseNtshanga ngokubulawa ngesihluku kosomabhizinisi base-Ethiopia.

|||

BAWINILE NGCOBO

BATHI bafe olwembiza abantu baseNtshanga ngokubulawa ngesihluku kosomabhizinisi base-Ethiopia abangenelwe esitolo sabo kwebiwa impahla nemoto yabo ngoMsombuluko ebusuku.

Lesi sigameko senzeka nje izindawo eziningi KwaZulu-Natal nezinye izifundazwe zikhungethwe yizigameko zokuhlaselwa kosomabhizinisi bokufika.

Izigameko ezifuze lezi zigqame kakhulu eSoweto emasontweni edlule lapho abantu bebezitapela khona ezitolo zabokufika.

Izolo abantu baseNtshanga bebebabaza isihluku kubulawa labo somabhizinisi abathi bebebizana ngomakhelwane nabo.

Kulesi sigameko kubulawe oMnuz Getechaw Paulos (32) noDeselegn Daniel (30) okuthiwa badutshulwe emakhanda.

UMnuz Eshetu Zewde ongumfowabo wabafi uthe bese kunezinyanga ezintathu abafowabo beqale ukusebenza kulesi sitolo kanti bathuke kakhulu ngalesi sigameko ngoba bebephathene kahle nomphakathi wakule ndawo.

“Yimbi kakhulu lento eyenzekile, ngishaqekile. Ngilandwe ngamaphoyisa ngale esitolo sami emuva kokuthi sekwehle lesi sigameko,” kusho uZewde.

Uthe omunye udutshulwe kabili ekhanda omunye edutshulwe kanye.

“Kuthathwe ugwayi, airtime nefoni yomunye nemoto iNissan 1400,” kusho uZewde.

Uthe akacabangi ukuthi lesi sigameko sihlobene nezinye zokuhlukunyezwa kwabokufika ezenzeka kwezinye izindawo.

Uthe umfowabo ubeke wamfonela emini ethi kukhona umuntu ongamthandi omthukayo ngoba enqabe ukumqasha.

“Angicabangi ukuthi ngisazoqhubeka nokusebenza kulesi sitolo sigcwele igazi labafowethu. Ngizothatha izimpahla ngiziyise esitolo sami phezulu. Mina abantu ngiyabazi kule ndawo ngoba kade ngafika kodwa kusho ukuthi badlale ngomfowethu ngoba ubesanda kufika,” kusho uZewde.

Kuke kwafika omunye kubafowabo babafi izolo ngesikhathi kuvulwa isitolo ebesisenegazi, phakathi kumapeketwane.

Umakhelwane uNksz Khanyisile Ngubane uthe balahlekelwe kakhulu ngoba bebezwana nalabo somabhizinisi.

“Uma ushodelwa yimali bebekunika into bangasho ukuthi bafuna imali iphelele. Uma uhamba nengane ibibuya iphethe uswidi. Uma ufuna into ingekho bebethi kusasa uzoyithola, nangempela uyithole,” kubalisa uNksz Ngubane.

Abakhe eduze kwalesi sitolo bathi basizwile isibhamu siqhuma bathi bayaphuma bangabona lutho baphindela ezindlini.

Bathe baze bezwa ngabanye omakhelwane ukuthi sekonakele esitolo bafica labo somabhizinisi sebethule omunye wabo eguqe phansi ngamadolo kungathi ubethandaza noma ubecela uxolo kubahlaseli.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uthe amaphoyisa aseNtshanga aphenya amacala amabili okubulala nelokubamba inkunzi.

UNgqongqoshe wezokuPhepha nokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu uthe lesi sigameko ngesobugebengu.

“Ukuhlaselwa kwabantu bokufika kubukela phansi imizamo yokudala ukuthula eqhubekayo njengoba bese sibona inqubekelaphambili eNanda,” kusho uMchunu.

Uthe uhulumeni uzokwenza konke okusemandleni ukuhlanganisa abantu baKwaZulu-Natal nezinhlaka zokuphepha ukuzwakalisa ukungahambisani nalokhu kuhlasela kwabokufika.

Uthe kunamathimba omnyango asebenzisana namaphoyisa nabathintekayo ezingxoxweni zokuxazulula le nkinga yokuhlaselwa kwabokufika.


Umsindo ngezindleko zomngcwabo kaMeyiwa

$
0
0

Ngemuva kwezinyanga ezine uSenzo Meyiwa wangcwatshwa kusenomsindo mayelana nezindleko zokufihlwa kwakhe.

|||

MLUNGISI GUMEDE

NGEMUVA kwezinyanga ezine obengukaputeni weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa, wangcwatshwa kusenomsindo mayelana nezindleko zokufihlwa kwakhe.

Izindleko zomngcwabo kaMeyiwa bekubhungwa ngazo kuhlezi umhlangano wekomidi elilawula umkhandlu weTheku eCity Hall izolo.

Ikhansela le-DA uMnuz Zwakele Mncwango ubuze ukuthi kwakuyisiphi isizathu esenza umkhandlu ukuba uzifake ezindlekweni ngomngcwabo kaMeyiwa ngoba vele kwase kumenyezeliwe ukuthi wayezofihlwa wuhulumeni wesifundazwe.

“Sifuna ukwazi ukuthi yini eyadala umkhandlu ufune ukubamba iqhaza emngcwabeni kaMeyiwa ngoba kwase kumenyezelwe ukuthi uzongcwatshwa ngokwezinga lesifundazwe, okusho ukuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal wazibophezela ekutheni uzozithwala izindleko zomngcwabo wakhe,” usho kanje.

UMncwango uthe umkhandlu wazifaka odabeni lukaMeyiwa ngoba ufuna ukufeza izinhloso zawo.

Uthe sasingekho nesincane isidingo sokuthi umkhandlu uze uhlele ngisho inkonzo yesikhumbuzo salo mdlali.

Imeya kamasipala, uMnuz James Nxumalo, ithe azikho izindleko umkhandlu owangena kuzona ngenxa yomngcwabo kaMeyiwa, wengeza ngokuthi umasipala wabamba iqhaza kuphela ekuhleleni inkonzo yesikhumbuzo sakhe, okungazange kudle mali etheni.

UNxumalo akazange asidalule isamba semali eyasebenza ngokuhlela inkonzo yomngcwabo.

“Incane kakhulu imali esayisebenzisa, ngoba izindleko zokukhokhelwa kwabaculi nokunye konke lokho kwenziwa wuhulumeni wesifundazwe,” usho kanje.

UMeyiwa ushone ngonyaka odlule ngemuva kokudutshulwa evakashele intombi yakhe engumculi uKelly Khumalo eVooslorus.

Kwaboshwa umsolwa oyedwa ogcine esededelwa amacala abebekwe wona ahoxiswa ngoba kushoda ubufakazi obumhlanganisa necala.

Kusukela kwadedelwa lo msolwa amaphoyisa awakabophi muntu mayelana nokubulawa kukaSenzo, alokhu ethi asaphenya.

Kuhlonishwe uSisulu nomkakhe

$
0
0

Kwembulwe imifuziselo yamaqhawe alwela umzabalazo kuleli.

|||

SIYABONGA MKHWANAZI

KWEMBULWE imifuziselo yamaqhawe alwela umzabalazo kuleli izolo kugujwa iminyaka ewu-25 yokukhululwa ejele kukaMnuz Nelson Mandela ongasekho.

Imifuziselo ewu-2.5 metres ubude kaMnuz Walter Sisulu owayengumholi we-ANC nomkakhe uNkk Albertina Sisulu, yembulwe eduze kokaMandela owabekwa phambi kwePhalamende emuva kokushona kwakhe ngo-2013.

Nokho bekungekho umcimbi omkhulu ngokwembulwa kwale mifuziselo kanti nePhalamende alitholakalanga ukuphawula ngawo. Kule mifuziselo uSisulu nomkakhe babambene ngezandla baphakamisa inqindi. USisulu wayengumngani omkhulu noMandela futhi behlanganiswe yipolitiki ngaphambi kokushona kwakhe ngoMeyi 2003 eneminyaka ewu-91. Nomkakhe uSisulu wagcina eyisishoshovu somzabalazo washona ngoJuni 2011 eneminyaka ewu-92. Ukwembulwa kwale mifuziselo kuqondana nokuthi namuhla uMengameli Jacob Zuma uzokwethula inkulumo yesizwe. Ucwaningo lwakamuva luveze ukuthi abantu abaningi banelisekile ngokwenziwa wuMengameli nekhabhinethi lakhe. Imifuziselo yabakwaSisulu ibekwe lapho uMengameli noSomlomo wePhalamende uNkk Baleka Mbete bazobe bemi khona namuhla ngaphambi kwenkulumo yesizwe.

Le mifuziselo yembulwa nje sekuphele unyaka kwambulwa okaMandela ngo-2013 owadla uR2. 5 million.

Ukhala ngokukhangeza eyesibonelelo sengane

$
0
0

Udidekile owesifazane waseMgababa othi useyikhangezwa esandleni imali yesibonelelo somzukulu wakhe.

|||

LUNGI LANGA

UDIDEKILE owesifazane osekhulile waseMgababa, eMolweni othi useyikhangezwa esandleni imali yesibonelelo somzukulu (7) wakhe.

UNkk Angeline Ndlela (58), uthi akasakwazi okumele akwenze mayelana nodaba lwesibonelelo somzukulu wakhe asesamukeliswa esandleni ngoba singena kumuntu ongahlali naye.

UNkk Ndlela uthe inkinga yesibonelelo somzukulu wakhe iqale emuva kokuthi ebe nenkinga yokumnakekela wacela kosonhlakalahle basePinetwon ukuthi atholelwe indawo angagcinwa kuyo kuze kube uyakwazi ukumnakekela.

“Umzukulu wami washiywa unina kimi, ngazama ukuhlala naye kodwa ngenxa yokuthi kwakunezinye izingane engangizinakekela ngacela osonhlalakahle ukuthi bangihlelele ukuthi athole ikhaya lapho enganakekelwa khona ngimthathe uma senginamandla. Inkinga enganginayo kakhulu wukuthi kwakunomunye umntwana engangimnakekela obelimele sengihluleka ukubanakekela bonke,” kuchaza uNkk Ndlela.

Uthe osonhlalakahle bamhlelela ingane yathola umuntu owayezohlala nayo.

Uthi umzukulu uhlale lapho isikhathi esingangeminyaka emibili wase ebuyiselwa kuyena ngoDisemba 2013.

Uthe emuva kokuthi ebuyile ube esehlala naye okuthe ngokuhamba kwesikhathi wazama ukumbhalisela imali yesondlo sikahulumeni wathola ukuthi vele uholelwa lapho ebehlala khona.

“Ngathola ukuthi umama lo obehlala naye uyamholela. Ngithe uma ngixoxa nosonhlalakahle ngalolu daba bangitshela ukuthi imali kuzofanele ayihole bese eyiletha kimina ngoba ingane sengihlala nayo. Bathi kuzokwenzeka kanjalo kuze kube ingane ibuyiselwa ngaphansi kwami,” kusho uNkk Ndlela.

Uqale ukusukumela lolu daba ngo-Okthoba nyakenye kodwa kuze kube manje uthi udaba alukalungi.

Uthe ukhathazekile ngoba kusho ukuthi ngelinye ilanga uzongayitholi imali ngoba uze wadinga ukuba ayobika udaba lwakhe kwaSouth African Social Security (Sassa) ngoba engasayitholi imali.

“Ufike ayikhiphe imali ayinike mina. Okungiphatha kabi ukuthi ngenyanga edlule uvele wathula. Ngimbuzile ukuthi kanti kwenzekeni ngemali wathi ivalekile. Ngibe sengiya kwaSassa ngathola ukuthi usayihola. Sengibuyela kuyena unginike ekaJanuwari neyale nyanga,” kusho uNkk Ndlela.

Okhulumela uMnyango wezekuThuthukiswa koMphakathi uNksz Ncumisa Fandesi uthe akufanele imali yesibonelelo sengane ingene kumuntu ongahlali nayo.

Uthe uNkk Ndlela makabuyele kobika kusonhlalakahle wathembisa ukuthi nabo bazolulandela.

Ulahlekelwe yisikole ngekasathane

$
0
0

Usejika nelanga umfundi ka-Grade 11 othi uxoshwe esikoleni kulandela ukuhlaselwa isifo esingajwayelekile.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

USEJIKA nelanga umfundi ka-Grade 11 othi uxoshwe esikoleni kulandela ukuhlaselwa isifo esingajwayelekile ebesenza azithole eselala eklasini uthisha efundisa.

UNontobeko Zondo (18) obengumfundi waseBuffelsdale Secondary School oThongathi uthi akazi uzoshonaphi njengoba esikoleni sakhe sithe ngeke sisakwazi ukumthatha kulo nyaka ngenxa yalesi sifo.

Lo mfundi uthe ngonyaka odlule wafunda isigaba sokuqala kulesi sikole wabe eseyeka ngoba esegulela ukufa. Uthi wayehamba ubusuku bonke bese elala ngakusasa ekilasini.

“Kunzima ukuchaza indlela ebengigula ngayo ngoba kayijwalekile. Ngiqale ngonyaka odlule ngingaphathekile kahle, ngihlezi ngikhathele. Bengiya ezindaweni ezisabisayo engangingazazi nomunye wesifazane obengifaka enkolweni yobusathane kodwa ethi ungumngani wami. Lokhu bekungenza noma ngilele ekhaya, umzimba bengiwubona ukuthi usekhaya kodwa mina ngibe ngikwezinye izindawo. Lokhu bekuphazamisa kakhulu izifundo zami ngoba bengihlezi ngikhathele ekilasini. Bengingafuni ukuhlala ngilalele uthisha ngoba ubevele engidine, ngigcine ngizihlalele emathoyilethe. Bengicasuka kalula ngifune nokulwa. Kuze kwatholakala ukuthi ngiyagula ngabe sengiyiswa eXobho ngayothandazwelwa khona njengoba sengiluleme,” kusho uNontobeko.

Uthe noma esechaza isimo sakhe esikoleni esefuna ukubuyela bavele bamkhomba indlela.

“Ngithe sengibuya esikoleni ngoJanuwari ngibachazela ngesifo ebesingiphethe bathi kumele ngithathe incwadi yokusula emabhukwini esikole ezokwenza ngikwazi ukubhalisa kwesinye ngoba indawo yami ayisekho. Ngixakekile ukuthi lokhu kwenzeke kanjani ngoba bengingazange ngithi ngiyayeka ukufunda khona. Ngithe noma sengicela ngizikhalela bathi angizame ezinye izikole. Kumanje angazi ngizoshonaphi, asikho isikole esifuna ukungithatha, Ngihlala ekhaya usuku lonke ngijike nelanga,” kusho lomfundi.

Lokhu kufakazelwe uninakhulu walo mfundi uNkk Fikile Ngcobo othe abazi bazoshonaphi njengoba singekho isikole esizimisele ukuthatha umfundi kaGrade 11.

“Ngikhathazekile kakhulu ngekusasa lomzukulu wami. Ubegula eneSatanism kodwa manje useluleme useyafuna ukubuyela esikoleni akwazi ukuqhubeka nempilo yakhe,” kusho uNkk Ngcobo.

Lo mfundi kuvele ukuthi useyasonta futhi uzobhabhadiswa maduze.

Kuthintwa okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe izikhulu zoMnyango zizongenelela ukuthola isixazululo.

“Sicele izikhulu eziphethe eMnyangweni esifundeni esingaphansi kwaso isikole ukuba baxhumane naso bese bethola isixazululo enkingeni yomfundi,” kusho uMlotshwa.

Iqupha kubhungwa olwamavolontiya

$
0
0

Kuqhume iqupha emhlanganweni obumayelana nezinsolo zokudliwa kwemali yamavolontiya enhlangano yomphakathi kwaSanti.

|||

ZANELE MSOMI

KUQHUME iqupha ngempelasonto emhlanganweni obumayelana nezinsolo zokudliwa kwemali yamavolontiya enhlangano yomphakathi kwaSanti, eMariannhill osekuphele izinyanga eziyisishiyagalolunye engaholile.

Amavolontiya angaholile asohlelweni olubizwa nge-Expanded Public Works Programme oluxhasa izinhlangano ezenza imisebenzi yomphakathi. Kuthiwa imali yoxhaso yaphuma yaya ehlanganweni ezimele eyathola inkontileka, okuyi-Africa Community Development Initiative (ACDI), eyasungulwa uMnuz Mlangeni Mgcini osenguNobhala wayo.

Ukuqonga kwezinkinga kulolu hlelo kuqale ngesikhathi i-akhawunti ye-ACDI ivaleka, okwenze kunyamalale imali elinganiselwa ku-R1.1 million obekumele iholele amavolontiya kuqhutshwe nohlelo.

Kusolwa amalungu enye inhlangano i-Aids Foundation of SA (Afsa) nayo ebikulolu hlelo ngokuvaleka kwe-akhawunti.

UMgcini uthe uphenyo lwebhange ebeliphethe i-akhawunti yenhlangano luveze ukuthi kunabathize abakhokhoba bayomisa ukusebenza kwayo.

“Udaba silufake enkantolo enkulu eThekwini ukuze kuphenywe kabanzi ngale nkohlakalo. Sithole ukuthi kunamalungu e-Afsa aye kummeli ayomgwazela ukuze angaqhubeki necala. Icala lasulwa ngaphandle kokwazisa inhlangano yethu elivulile,” kuchaza yena.

UMgcini uthe banabo ubufakazi nenkulumo eqoshwe kwi-video lapho ummeli ehlambuluka ukuthi wakhokhelwa u-R5 000 ukuze angaqhubeki necala. UMgcini usola nokugxambukela kwabezepolitiki kulolu hlelo uthi kusolwa nekhansela kule nkohlakalo.

Uthe amavolontiya abenza imisebenzi ehlukene yokusiza umphakathi okubalwa ukunakekela abagulayo nokusiza abaxakwe yizidakamizwa. Abezohola u-R950 ngenyanga kulolu hlelo.

Isolezwe liyibonile incwadi yezikhalo ebhalwe ngamavolontiya ekhala ngokwenzelwa phansi nokushaywa ngemfe iphindiwe.

NgeSonto umhlangano obuseNgqalabutho Hall obekulindeleke ucacisele amavolontiya ngalolu hlelo ugcine ubhuntshile emuva kokuba uMgcini eshaywe ngenqindi nguMnuz Sibusiso Mkhize we-Afsa osevulelwe icala.

UColonel Jay Naicker ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokuhlukumeza okuthiwa lenzeke emhlanganweni womphakathi. Uthe akukaboshwa muntu amaphoyisa asaphenya.

Zombili izingcingo zikaMkhize bezingena ku-voicemail zingavumi nokushiya umyalezo.

Namuhla kulindeleke ukuthi kube nomunye umhlangano kanti amavolontiya ahlongoza ukudlulisela udaba ehhovisi loMvikeli woMphakathi u-Advocate Thuli Madonsela.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>