Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Ugandaywe ugandaganda obecele ukugibela

$
0
0

Kushone owesifazane ngesikhathi ewa kugandaganda abecele ukugitsheliswa kuwo, wamgandaya eBurbreeze, oThongathi.

|||

BAWINILE NGCOBO

KUSHONE owesifazane oneminyaka engu-50 ngesikhathi ewa kugandaganda abecele ukugitsheliswa kuwo, wamgandaya eBurbreeze, oThongathi.

UNksz Mankosi Tebisa kuthiwa ushone efika esibhedlela ngoLwesibili ntambama emuva kokuthi egandaywe ugandaganda.

Okhulumela abakwaNetcare 911, uMnuz Chris Botha, uthe uNksz Tebisa bamfice elimele kakhulu.

Uthe bathole ukuthi ubehleli ngaphezu kwensimbi emboze isondo ngesikhathi ewa, engena ngaphansi kwesondo ugangaganda uhamba wabe usuyamgandaya.

Uthe bafike esalele emgwaqweni esesimweni esibucayi.

UBotha uthe bamfaka umshini wokuphefumula base bemphuthumisa esibhedlela lapho efike washonela khona.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uthe ngokombiko wephoyisa eliye endaweni yesigameko, uNksz Tebisa uficwe esemgwaqweni kunowesilisa othe bebendawonye kugandaganda.

“Owesilisa utshele iphoyisa ukuthi bebegibele ugandaganda, owesifazane wawa wagandayeka. Umshayeli kagandaganda kuthiwe ubesahambile eyocela usizo eCompensation kanti ube eselandwa ngamaphoyisa ambuyisela endaweni yesigameko.”

Ethintwa yiSolezwe umshayeli owaziwa ngoSibisi, uqale wavuma ukuthi kuzokhulunywa naye wathi uNksz Tebisa uhlala khona kule ndawo kodwa kuthe sekumele kuyiwe kuye washintsha wathi isitatimende sonke usibhale emaphoyiseni akuthathwe sona.

Uthe umndeni kaNksz Tebisa awukho eBurbreeze usemakhaya ngoba ubeqashile kule ndawo.


Bahlangane nembibizane behlasela abokufika

$
0
0

Zisaqhubeka izigameko zokuhlaselwa kwabokufika emalokishini akuleli yize.

|||

BAWINILE NGCOBO

ZISAQHUBEKA izigameko zokuhlaselwa kwabokufika emalokishini akuleli yize lezi zigameko sezigxekiwe yizinhlaka zikahulumeni nezizimele.

Izigameko zakamuva ezimbili zenzeke kwa-F, eMlazi kuhlaselwa izitolo zabokufika.

Esigamekweni sokuqala esenzeke izolo entathakusa, kubulawe umsolwa kwaboshwa omunye ngesikhathi bedubulana namaphoyisa bebanjwa oqotsheni bengaphakathi esitolo sikasomabhizinisi wase-Ethiopia abebezobamba kuso inkunzi.

Kwesinye isigameko esigcemeni esifanayo kuboshwe abasolwa abathathu izolo emuva kokubanjwa kwenkunzi isitolo sikasomabhizinisi waseSomalia, ngoMsombuluko.

Izolo kuthiwa abasolwa abayisithupha bahlasele isitolo sabase-Ethiopia ezinzulwini zobusuku.

UMnuz Abdurezek Hossen osebenza kule ndawo uthe abahlaseli babhodloze udonga ngemuva kwase kungena abathathu.

“Omunye wabo ubephethe isibhamu kanti babe sebezama ukugqekeza ngaphambili kodwa behluleka. Sibe sesiciphiza i-alarm,” kusho uHossen.

Bathathe ugwayi nemali engatheni kodwa akulimalanga muntu ngoba uHossen nabenaye bakwazile ukucasha kwenye indlu exhumene nesitolo ekhiyekayo.

Uthe bebesazama ukuvula umnyango ngesando esikhulu abahlaseli kanti sekuqhamuka amaphoyisa kwase kuyadutshulwana.

UHosseni uthe sekungokwesine behlaselwa bebanjwa inkunzi kusukela ngoDisemba, ukuhlasela kwakamuva uthe kwenzeke emasontweni amabili edlule lapho kubhodlozwe udonga abasolwa bangena ngaphakathi bazitapela izinto.

Ngakulolu donga obekubhodlozwe kulo kupheshiwe ngosimende kanti yilapho kwabhodlozwa khona emasontweni amabili edlule ngesikhathi kuhlaselwa.

“Umnikazi wesitolo wafika eminyakeni emibili edlule kule ndawo wavula indawo yokudayisa abelokhu eyinweba. Siyaqala ukuhlaselwa ngalezi zigameko zamanje besingakaze sibe nenkinga,” kusho uHossen.

Uthe yena usefisa ukuhamba kule ndawo ngoba akacabangi ukuthi kusaphephile, vele uyasebenza akusiso isitolo sakhe.

Izolo ukudayisa kulesi sitolo bekuqhubeka ngokujwayelekile kuvalwe indlu okuhlaselwe kuyo ngoba ibisafakwe intambo yamaphoyisa ekhombisa ukuthi indawo yesigameko.

Bese kuqaliwe nokuvalwa kwembobo ebhodlozwe ngabasolwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uthe kushone uNjabulo Khathi kulesi sigameko kwaboshwa umsolwa oneminyaka engu-19 ozovela maduze eNkantolo yeMantshi eMlazi.

Amaphoyisa athole isibhamu iNorinco nezinhlamvu eziyisithupha endaweni yesigameko.

Kuphenywa icala lokubamba inkunzi ibhizinisi, ukuzama ukubulala, ukutholwa nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni kanti kuyaphenywa ngokubulawa komsolwa.

UZwane uthe abasolwa abaneminyaka engu-23 ababoshelwe ukubamba inkunzi bazovela eNkantolo maduze.

Ukuhlaselwa kwezitolo zabokufika sekuyinsakavukela ezingxenyeni eziningi zesifundazwe kanti izigameko zokuhlaselwa kwabo ziqale KwaMashu lapho bebehlaselwa ngamabhomu kaphethiloli belele ebusuku.

Kuyibhedele i-UDM amalungu ejoyina iNFP

$
0
0

Inhlangano kaGeneral Bantu Holomisa i-UDM KwaZulu-Natal igqemeke engeqiwa ntwala.

|||

CELANI SIKHAKHANE

Inhlangano kaGeneral Bantu Holomisa i-UDM KwaZulu-Natal igqemeke engeqiwa ntwala ilaxazwa ngenye yezinsika zayo ebigadla ngayo okhethweni lukazwelonke ukuze ibe ngundunankulu wesifundazwe uma inqoba ukhetho njengoba ijoyine iNFP.

UMnuz Teddy Thwala obesehlale kuleli qembu iminyaka ebalelwa ku-15, ngoLwesithathu wethulwe ngokusemthethweni njengelungu elisha leNFP ehambisana nabanye ozakwabo abashiye nabo i-UDM abamenyezelwe wuSihlalo weNFP esifundazweni uMnuz Vikizitha Mlotshwa.

“Kube yisinqumo sethu ukuthi sijoyine iNFP nabanye ozakwethu ebesinabo kuPEC yesifundazwe ngemuva kokuhlukumezeka esikuthole ku-UDM. Ngokhetho lwangonyaka odlule sibe nenkinga lapho iqembu lingazange lisinike izinsiza kusebenza kangangokuthi bekunzima ukukhankasa abanye bethu baze bacwila ezikweletini bekhipha emaphaketheni abo. Zonke izinsiza nemali yokukhankasa bekuyiswa emikhankasweni yase-Eastern Cape thina eKZN asizange sinakwe,” kusho uThwala.

Uveze nokuthi ubeseshaywa ngesithende ezintweni eziningi ze-UDM ngoba kunesikhathi lapho bekubizwa khona izingqungquthela zentsha kodwa angaziswa lutho ekubeni engumholi wayo intsha ye-UDM.

Uthe kuphelile nge-UDM eRichmond njengoba befuna kukhonye iNFP kanti ngoLwesithathu kwethulwe inqwaba yentsha ebivela khona esijoyine leli qembu.

Imizamo yokuthola ubuholi be-UDM ayiphumelelanga njengoba ucingo lukaNobhala-Jikelele wayo uMnuz Bongani Msomi lukhale lwaze lwazithulela nemiyalezo ishiywa kodwa engayiphenduli kanti olukaHolomisa beluvaliwe.

USihlalo weNFP esifundazweni uMlotshwa uthe bayishiye phansi indaba yezinkinga kodwa bafuna ukugxila ekwakheni iqembu ngoba abafuni ukunaka izinto ezenza iNFP ibukeke kabi.

“Laba bantu esibamukelayo bayisebenzele i-UDM bayaziwa nokuthi bayikhulise kanjani eRichmond. Ngaphandle kwalokho nginxusa namalungu ukuthi awayeke indaba yemibango kodwa abaqoqe abantu bajoyine iNFP.

Yekani ukubhala izinto ezingasile ngeqembu kofacebook ngoba yizo lezi ezizogulisa umengameli uNkk Zanele KaMagwaza-Msibi. Ake nenze izinto ezinhle nibhale ukuthi iqembu liyakhula samukela nabantu abaningi ukuze ajabule naye lapho ekhona niyeke le nto yokulokhu nithukana. Uyabona nje uzojabula ngalokhu esesikwenzile,” kusho uMlotshwa.

Bakhathazekile ngoduke eya emngcwabeni

$
0
0

Ukhathazekile umndeni wentombazane osekuphele izinyanga ezimbili inyamalele.

|||

LUNGI LANGA

UKHATHAZEKILE umndeni wentombazane yaseMkhomazi eSun Park osekuphele izinyanga ezimbili inyamalele emuva kokuthi ihambe ithi iya emngcwabeni.

Ngokusho komndeni kaNomthunzi Hlabe (20) usuke oLundi ngoDisemba 4 nyakenye eya emngcwabeni wagcina engafikanga. Unina uNksz Nokwazi Hlabe (48) ohlala oLundi uthe indodakazi yakhe ibinaye oLundi yasuka khona iya emngcwabeni womfundi ebifunda naye eScottburgh High.

Yize umngcwabo bewungoMgqibelo ihambe ngoLwesine ngoba ifuna ukuqala ngokuyobona umndeni walo mfundi ngoLwesihlanu ngaphambi kokuthi iye emngcwabeni.

Uthe uqale ukusola ngesikhathi ezama ukuyishayela ucingo engayitholi ukuthi konakele.

“Ngosuku ahambe ngalo ngamshayela ucingo ntambama ukuzwa ukuthi uhambe kanjani. Wangitshele ukuthi useseGaleria wathi usesendleleni eya ekhaya,” kusho uNkk Hlabe.

Ephinda ezama ukumthinta lwalungasabanjwa ucingo, ngokuhamba kwesikhathi lwavaleka.

UNksz Hlabe uthe akafikanga lapho ayeya khona uNomthunzi.

“Ngisenalo ithemba lokuthi sizomthola esaphila noma sekuhambe isikhathi,” kusho unina.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, unxuse ongaba nolwazi ngokunyamalala kukaNomthunzi ukuthi athinte uCaptain Nash Narain emaphoyiseni aseMkhomazi ku-039 973 6100 noma athinte iCrimestop ku-08600 10111.

Kuthiwa uNomthunzi uhambe egqoke isikibha esingenamkhono esimhlophe nodangara oluhlaza okwesibhakabhaka ephethe isikhwama sesikhumba esinsundu.

Uthi uselala obenyoni osatshiswa ngamaphoyisa

$
0
0

Uthi uselinde usuku lokufa owesilisa wakwa-P eMlazi osehlaselwe kabili amaphoyisa.

|||

MLUNGISI GUMEDE

UTHI uselinde usuku lokufa owesilisa wakwa-P eMlazi osehlaselwe kabili amaphoyisa ezomfuna izibhamu aphinde amsabisa ngokuthi azomsoconga.

UMnuz Mandla Mlambo (52) uthi uqale wahlaselwa amaphoyisa entathakusa ngoSepthemba 15 ngonyaka odlule, amkhomba ngezibhamu athi afuna izibhamu, apequlula indlu yonke angathola lutho.

“La maphoyisa aphinde abuya ngoJanuwari 12, athi ngisawabona yini ukuthi yiwona lawa ayefike kumina ezofuna izibhamu, athi ngasinda ngoSepthemba kodwa okulandelayo ngeke ngisadabula,” usho kanje.

UMlambo onenkampani eyakha izindlu zomxhaso zikahulumeni uthe akazi ukuthi yini eyenza ahlaselwe amaphoyisa ezomfuna izibhamu ngoba yena akazi nokuthi sisetshenziswa kanjani.

“Angazi ngasinda kanjani ekuqaleni ngoba la maphoyisa afika angikhomba ngezibhamu ngingedwa endlini, engithuka ngayo yonke inhlamba wawungafunga ukuthi ayevimbezela inkabi ngendlela ayenza ngayo,” usho kanje.

Uthe ngesikhathi esebuya okwesibili amaphoyisa, iphoyisa elalikhuluma naye lambuza ukuthi lahamba kanjani icala lakhe (uMlambo) nesihlobo sakhe.

“Ngazibuza ukuthi liyithathaphi indaba yokuthi benginecala lokushaya, ngabe sengiyabona ukuthi kungenzeka ukuba athunywe ngowesifazane engangithandana naye okungenzeka ukuba uhlobene nelinye lawo.

Kungenzeka futhi ukuba nendodakazi yami iyathinteka kulokhu ngoba ngayixosha ekhaya ngenxa yokungaziphathi kahle. Ngizwa kuthiwa ithandana nephoyisa elisebenza esiteshini saseMariannhill,” kuchaza uMlambo.

Uthe ukuhlaselwa kwakhe ukubikile emaphoyiseni kodwa umphenyi wecala akakaze amthinte amtshele ukuthi kuqhubekani ngodaba lwakhe.

“Ngize lapha ephephandabeni ngoba ngifuna kwaziwe ukuthi uma kwenzeka uMlambo etholakala efile ubulewe ngobani ngoba amaphoyisa angitshela ukuthi ngeke ngisadabula uma ngiphinda ngihlangana nawo,” usho kanje.

Uthe uselindele usuku lokuthi afe ngoba akazi ukuthi la maphoyisa amsabisayo azobuya nini ezomsoconga.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uthe icala lokukhomba ngesibhamu liyaphenywa, okwamanje bekungakaboshwa muntu.

Kubhekwa ezinye izindlela zokuxhasa

$
0
0

Kuntwela ezansi ngengwadla yabafundi abashoda ngemali yokufunda emanyuvesi.

|||

MHLENGI SHANGASE

KUNTWELA ezansi ngengwadla yabafundi abashoda ngemali yokufunda emanyuvesi njengoba uMnyango weMfundo ePhakeme ubheka ezinye izindlela zokuxhasa abafundi.

Abafundi bahlezi bekhala ngokushoda kwezimali nokungaxhaswa yisikhwama iNational Students’ Financial Aid Scheme (NSFAS) okuholela ezitelekeni.

Sekuyinsakavukela ukuthi njalo uma kuqala unyaka kuba neziteleka ezikhungweni zemfundo ephakeme ngakho ukushoda kwemali.

Okhulumela lo mnyango, uMnuz Khaye Nkwanyana, uthe ungqongqoshe wawo uDkt Blade Nzimande ujube lesi sikhwama ukuthi sisebenzisane nohlaka lwezimpesheni zikahulumeni ukuze kubhekwe ezinye izindlela zokuxhasa abafundi.

Uthe okwamanje kubhekwa izinto eziningi okunye kwakho yindaba yokuthi kunyuswe isikalo somholo womndeni ngonyaka kulabo bafundi abathola uxhaso kulesi sikhwama.

Okwamanje umndeni kumele uhole cishe u-R122 000 ngonyaka ukuze umfundi athole uxhaso.

Okubhekwayo ngukuthi inyuswe le mali mhlawumbe kubekwe isikalo sika-R250 000 ngonyaka noma u-R300 000 ukuze abafundi abaningi bahlomule.

“Ngalokhu abafundi abazalwa othisha, amaphoyisa, abahlengikazi nabanye nje abasebenzi bazokwazi ukuhlomula kulolu xhaso ngoba okwamanje uma uhola ngaphezulu kwalesi sikalo esingu-R122 000 awulutholi uxhaso. IPublic Investment Corporation esingethe imali kahulumeni neGovernment Employees Pension Fund babheka indaba yokuthi bangaxhaswa kanjani abafundi ngemali ngoba uthola ukuthi le mali yempesheni ixhasa abamabhizinisi,” usho kanje.

UNkwanyana uthe seziqalile iziteleka kwamanye amanyuvesi wathi bahlanganile nabaphathi bawo bebatshela ukuthi bazoyikhokha imali ekweletwa abafundi.

Uthe kulo nyaka iNSFAS ihlinzekwe ngo-R9.5 billion wathi abakasitholi isicelo sokuthi bengeze enye imali.

“Isinqumo sokwengeza imali siyokwenziwa ngungqongqoshe uma sekufakwe izicelo zalokhu. Ngonyaka odlule sengeze kwisabelo salesi sikhwama ngo-R1 billion ngenxa yokubona ukuthi imali ayenele,” usho kanje.

UNkwanyana unxuse abaphathi ukuthi bangathathi imali yesabelo sikaNSFAS salo nyaka bakhokhele izikweletu ezindala.

“Isibonelo nje isiteleka saseWits University besingenasidingo ngoba umphathi wenyuvesi uthathe isabelo salo nyaka wakhokhela ngaso isikweletu sabafundi sangonyaka odlule. Imali esiyifaka kulo nyaka sifuna ukuthi ixhase abafundi abafikayo bangathwali izono zangonyaka odlule zozakwabo. Sizibophezele ukuthi isikweletu sangonyaka odlule sizosikhokha. NaseDurban University of Technology siyezwa nakhona ukuthi kube esifanayo kanti imali yangonyaka odlule sizoyikhokha uma kuqhubeka unyaka,” kusho uNkwanyana.

Uthe ithimba elibheka ukuxhaswa kwabafundi kulindeleke lethule umbiko ungakapheli lo nyaka.

I-EFF yeseka abakhishwa emafulethini

$
0
0

Bekubomvu enkantolo yamaJaji eThekwini ngesikhathi kulalelwe icala lokukhishwa kwabantu abadla ngejozi amafulethi kaMnuz Jay Singh.

|||

BONISWA MOHALE

BEKUBOMVU enkantolo yamaJaji eThekwini izolo ngesikhathi kulalelwe icala lokukhishwa kwabantu abadla ngejozi amafulethi enjinga yaseThekwini uMnuz Jay Singh, aseCastle Hill, eNewlands West.

Bekugcwele abahlali basemjondolo abahambise udaba lokuthi kungabi semthethweni ukukhishwa kwabantu futhi babuyiselwe emafulethini abebehlala kuwo, ne-EFF ibikhona izobeseka.

IJaji uMnuz Graham Lopes lithe liyakuqonda ukuthi isinqumo salolu daba sibhekwe ngabomvu ngakho lizodinga isikhathi okungaba yisonto noma amabili ukuphuma nesinqumo.

Uthe okubucayi ngalolu daba wukuthi ngabe umuntu osehlale izinyanga endaweni aseyibiza ngekhaya kufanele yini akhishwe kuyo. Kolunye uhlangothi uthi ngabe kufanele enze njani umnikazi womuzi othola sekukhona abahleli endaweni yakhe bengagunyaziwe nguye?

“Udaba olusezithebeni zenkantolo lubucayi, kumele umuntu alucubungule kahle. Abameli bezinhlaka zombili sebezethulile iziphakamiso zabo zokuthi bacabanga ukuthi ngingaluxazulula kanjani. Sekusele kimi ukuthi ngikhipha siphi isinqumo,” kusho uLopes.

Ummeli wabahlali basemjondolo u-Advocate Robbie Pillermer uthe abantu ababehlala emafulethini akulungile ukuthi bakhishwe ngaphandle kokuhlinzekwa ngendawo yokuhlala futhi ayikho incwadi abayithola eyayibazisa ukuthi umnikazi wendawo akabadingi.

“Abantu engibamele kabafundile futhi bayazihluphekela, kabanayo indawo abangaya kuyo lokhu kufakazelwa wukuthi selokhu bakhishwa ngendluzula emafulethini bahleli ematendeni. Abazange bakhishwe ngendlela enobulungiswa njengoba bengazange bathole ncwadi ebazisa ukuthi bazokhishwa kumbe badingeka enkantolo. Uma ngizwa kuthiwa isikhonzi sayishiya incwadi angikwazi ukukuqinisekisa lokho ngoba abantu bami bathi kabayazi. Badinga ukubuyiselwa emafulethini,” kusho uPillermer.

Abameli bakaSingh u-Advocate John Pammenter no-Advocate Indherasen Pillay bebelokhu benikina amakhanda uma uPillermer ethi abantu abazange bayinikwe incwadi ebazisa ukuthi bazokhishwa.

UPammenter uthe isikhonzi senkantolo kade sasigqigqa sihambisa izincwadi ezazibhalwe ngesiNgisi nangesiZulu zisho ukuthi abantu bazokhishwa ezinye zaze zaxhonywa esangweni abangena kulo.

Uze wafunda incwadi lapho abanye babantu ababehlala emafulethini bethi isikhonzi senkantolo safika sakhiphela impahla yabo ngaphandle kodwa sababuka uma beyiphindisela ngaphakathi. Uthe lokhu kufakazela ukuthi babazi ukuthi bazokhishwa.

UMnuz Sbu Zikode onguMengameli wabahlali baseMjondolo uthe bayajabula ukunikezwa ithuba lokuzikhulumela, bafuna inkantolo ihoxise ukukhishwa kwabasemafulethini futhi babuyiselwe khona ngoba banelungelo lokuba nemizi.

UMnuz Sebastian Mlungisi Mdlalose we-EFF, eThekwini, uthe bebesenkantolo ukweseka abahlali basemafulethini nenhlangano Abahlali baseMjondolo ngoba inezimfuno ezihambisana nezabo.

Uthe bazoqhubeka nomkhankaso wabo wokudla umhlaba okungakhiwe kuwo namafulethi angahlali muntu ngoba akekho umuntu waseNingizimu Afrika okufanele angabi nendawo yokuhlala.

Uzinikele owadubula amaphoyisa kufihlwa

$
0
0

Uzinikele emaphoyiseni osolwa ngokudubula amaphoyisa ayezama ukubopha umsolwa emngcwabeni wesihlobo sakhe eHibberdene.

|||

ZANELE MSOMI

UZINIKELE emaphoyiseni osolwa ngokudubula amaphoyisa ayezama ukubopha umsolwa emngcwabeni wesihlobo sakhe eMakhoso eHibberdene, agcina ephuma ehlehla evika izinhlamvu.

Lo msolwa elingakatholakali igama lakhe njengoba engakaveli enkantolo kuthiwa uzinikele emaphoyiseni ngeledlule njengoba kusolwa ukuthi nguyena owayengubhongoza edudula amaphoyisa ngenhlamvu.

Kusolwa ukuthi wayevikela umfowabo okuthiwa sekuphele iminyaka efunwa ngamaphoyisa ngamacala amathathu okuphanga nelokudlwengula.

Amaphoyisa amahlanu ayengagqokile umfaniswano ancinzwa indlebe emasontweni amabili adlule ngokuthi umsolwa owayethungathwa wayesemngcwabeni wesihlobo sakhe emndenini wakwaMbili.

Kuthiwa kwasuka isiphithiphithi emathuneni kugasela amaphoyisa, kwaphazamiseka umngcwabo ebamba umsolwa.

Ngesikhathi ephuma naye ngesango engamfakile ozankosi, kwezwakala ukuqhuma kwesibhamu kulandelana kanti umfowabo owayephethe isibhamu esiyi-9mm.

Kuthiwa amanye amalungu omphakathi nomndeni alekelela ngokujikijela amaphoyisa ngamafosholo, ezama ukuthi adedele umsolwa.

Kuvela ukuthi amaphoyisa aphuma ehlehla ezama ukuvika izinhlamvu njengoba ayengagqokile nezivikelo.

Amaphoyisa agcina ephuma ngesamagundane, umsolwa owayeyoboshwa wathola intuba yokuphulukundlela.

Omakhelwane ababesemngcwabeni babona ababefike ngayo bebalekela ukuthelwa ngamachaphazelo.

Elinye iphoyisa kuthiwa lashaywa ngempama ngelinye ilungu lomndeni nalo elalivikela umsolwa.

Esigamekweni sokushaywa kwephoyisa kwaboshwa uMnuz Fraser Mbili wabuye wadedelwa ngebheyili ka-R1 500.

UMbili okuthiwa ungumfowabo kamsolwa owayezofunwa ngamaphoyisa, ubhekene necala lokuphazamisa umthetho nelokusabisa. Kuthiwa umsolwa owayelandiwe usagcwele izinkalo.

UMajor Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal ukuqinisekisile ukuthi kusaphenywa icala lokuzama ukubulala amaphoyisa abezama ukubopha umsolwa.


Basengcupheni abalashwa kungenamanzi

$
0
0

Ukushoda kwamanzi nogesi sekubeke engcupheni inqwaba yeziguli ezilashelwa esontweni iMessiah Ministries International eMuden.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

UKUSHODA kwamanzi nogesi sekubeke engcupheni inqwaba yeziguli ezilashelwa esontweni iMessiah Ministries International eMuden. Lokhu kulandela ukungapheli ngesikhathi kokwakhiwa komtholampilo okule ndawo osuze wamila isikhotha.

Iziguli kuthiwa zilanda imishanguzo okubalwa eyokugula ngengqondo, eyesifo sokuwa, ekashukela nama-ARV emtholampilo osesontweni.

Nabakhulelwe bahlela kuwo kanjalo nabazogoma izingane. Konke lokhu kuthiwa kwenzeka kungenamanzi.

Kuvele ukuthi amanzi afika nezimoto ezingomahambanendlwana bomtholampilo (mobile clinic) amanye alandwa ngezigubhu eGreytown ukuze iziguli zikwazi ukuphuza ziphinde zigeze izandla.

Kulashwa iziguli ezingaphezulu kuka-1000 ngesonto kule ndlu yebandla.

Kumanje abahlengikazi neziguli baphithene amakhanda ngokuthi bazoshonaphi njengoba ibandla selidinga ukubuyela ngokugcwele endlini yalo yokukhonza.

Izolo Isolezwe lifike kumnyama endlini yesonto okulashelwa kuyona umphakathi ngenxa yokungabi nagesi.

Lesi simo kuvele ukuthi sesiqhubeke isikhathi eside singaxazululwa.

Iziguli ziveze ukuthi akukho lapho zingashona khona.

Umthombo weSolezwe uthe bathwele kanzima ngalesi simo.

“Inhloso yokuba nomtholampilo endaweni wukuba kusizakale umphakathi. Uma kunjenake ngabe iziguli ziyasizakala noma seziyabulawa njengoba abahlengikazi beke baswele ngisho namanzi okugeza izandla. Imigomo yokulapha angiboni ukuthi ilandelwa yonke ngaphansi kwalesi simo. Uma kungafika umuntu esebeletha lapha akukho nekhosomba angafakwa kulona,” kusho umthombo.

UMnyango kuze kube manje awukayiphenduli imibuzo oyithunyelelwe nge-e-mail mayelana nalolu daba.

Iziguli zinovalo lokuthi umtholampilo ungase uvalwe njengoba umfundisi esedinga ukusebenzisa indlu yesonto.

Ikhansela lendawo uMnuz Bhojabhoja Dlamini ebelizifikele emtholampilo lithe liyasazi lesi simo esiqhubekayo.

“Sixakekile sonke ngodaba lomtholampilo. Kumanje abantu abazi bazoshonaphi uma bekhishwa esontweni. Kusamisiwe ukwakhiwa kwawo esingazi ukuthi kudalwa yini. Sekushintshwe kaningi osonkontileka abakhayo. Sidinga incazelo eMnyangweni wezeMpilo ngale nkinga,” kusho uDlamini

Izindlu zangasese zimbalwa futhi ziyashwaywa okuphoqa ukuba zibe namanzi.

Izihlalo zokuhlala iziguli kazenele okuphoqa ukuba ezinye zihlale phansi.

Amafayela eziguli abekwa emakesini phansi.

Ngaphandle kwesonto kukhona umtholampilo ongumahamba nendlwana (mobile) kodwa awusebenzi ngendlela njengoba ushisa ngokweqile, awukwazi nokumumatha umthamu wabantu abasuke befuna usizo.

Izinkumbi zifesele izikhala ezingu-30

$
0
0

Bathutheleke ngobuningi eCurries Fountain abesifazane abebezozama ukungena ohlelweni lokuthuthukisa amakhono ophikweni lwezicishamlilo kuMasipala weTheku.

|||

BAWINILE NGCOBO

BATHUTHELEKE ngobuningi eCurries Fountain abesifazane abebezozama ukungena ohlelweni lokuthuthukisa amakhono ophikweni lwezicishamlilo kuMasipala weTheku oludinga abantu abangu-30.

Laba besifazane abebeqhamuka ezindaweni ezehlukene KwaZulu-Natal bathutheleke kusukela ngoLwesithathu njengoba bekuhlungwa abazongena kulolu hlelo, izinsuku ezimbili.

Izolo ekuseni ulayini ubumude kakhulu abanye besafika.

Lezi zikhala zikhangiswe emaphephandabeni kuthiwa kufunwa abesifazane abeneminyaka ephakathi kuka-18 no-31 abaphile kahle futhi abanomzimba ongamela umsebenzi wokuba isicishamlilo.

Lolu hlelo luzothatha izinyanga azingu-12.

Osukwini lokuqala izolo kuqalwe ngabantu abanezibongo eziqala ngo-A kuya ku-M izolo kanti namuhla kuzohlolwa abanezibongo eziqala ngo-N kuya ku-Z.

Izolo ulayini ubusuka esangweni laseCurries Fountain ujikeleze uthango uze uyoshaya esangweni laseBotanical Gardes.

Abantu bebefike babanjiswe isitebhisi esisemotweni yezicishamlilo ebingaphandle.

Uma umuntu engakwazanga ukuthinta lesi sitebhisi ngaphandle kokuthi acokame ubengangeni ngaphakathi lapho kuqhutshekwa khona nezinye izinhlelo zokuhlolela ukuthi ukulungele yini ukuthi athathwe.

UNksz Kholiwe Ngcobo (21) waseMzinyathi uthe ufike ngo-5.30 ekuseni wafica ulayini ungakabi mude.

Uthe uphoxeke kakhulu ngokuthi angakwazi ukuthinta isitebhisi ngoba emfishane.

“Sengihlale ekhaya iminyaka emine emuva kokuphasa uMatric. Anginayo imali yokuqhubeka nokufunda yingako bengizozama inhlanhla la ngoba ngiyazi bengingeke ngikhokhe. Ngiyawuthanda umsebenzi wokuba yisicishamlilo,” kusho uNksz Ngcobo.

Uthe ubelindele ukuthi banikwe amafomu bawagcwalise bese bebizwa ngelinye ilanga.

“Indaba yokuthi kubhekwa ubude bengingayazi. Ngabe kungcono ukube bekubhaliwe esikhangisweni,” kusho uNksz Ngcobo.

UNksz Londiwe Mgobhozi waseTshelimnyama uthe ufike ekuseni abantu sebebaningi kanti uyabonga ukuthi ukwazile ukuphumelela adlulele esigabeni esilandelayo.

“Ngijabule ukuthi ngikwazile ukubamba isitebhisi ngangena ngaphakathi. Sengizoya eGreyville ngoFebhuwari 16 ngiyogijima,” kusho uNksz Mgobhozi.

Uthe uqede uMatric ngo-2011 wenza izifundo zeCabin Crew eDamelin waziphothula kodwa emuva kwalokho akawutholanga umsebenzi.

Uthe usezama wonke amathuba omsebenzi aqhamukayo.

Okhulumela uMasipala uNksz Tozi Mthethwa uthe kuMasipala banezicishamlilo ezingu-485 kanti ezingu-52 ngezabesifazane yikho bebefuna abesifazane ukuze bazame ukulinganisa isibalo ngokobulili.

Izolo uthe bangu-300 abaphumelele ukudlulela esigabeni sesibili sokuhlolwa. Bangu-30 abazothathwa.

Uthe ukuphothula lolu hlelo akuqinisekisi ukuthi umuntu usezoqashwa ngokuphelele.

Bajika nelanga abafundi abaswele isikole

$
0
0

Abafundi abangu-34 bakaGrade 10 baseLembethe Primary eMuden, ngaseGreytown bajika nelanga emakhaya.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

ABAFUNDI abangu-34 bakaGrade 10 baseLembethe Primary eMuden, ngaseGreytown bajika nelanga emakhaya kulandela ukungaqhutshwa kwamazinga esikole obekulindeleke kwenzeke nonyaka.

Laba bafundi kuyimanje babhekene nenkinga yokuthi asikho isikole esikwazi ukubamukela ngoba azikho izikhala zabo.

Isolezwe izolo liye kulesi sikole, lafica abafundi bakwamanye amakilasi beqhubeka nokufunda.

Lesi sikole esasungulwa ngo-1993 siqala kuGrade R siphele kuGrade 9 kanti bekuhlelwe ukuba kulo nyaka kuqalwe uGrade 10 ngenxa yokuba buqama kwezikole zamabanga aphezulu.

UMnuz Delela Chonco ophethe ikomiti elifake isicelo sokuba lesi sikole sibe noGrade 10 uthe baxakekile ukuthi kuvimbephi ngalolu hlelo.

“Sidumele ngokwenzekayo kulesi sikole njengoba kunezingane ezingu-34 ebezibhalisele uGrade 10 ezihlezi emakhaya, azinaso isikole. Kusukela ngonyaka odlule sigqigqa emahhovisi oMnyango wezeMfundo silungiselela ukuba abafundi bebe nendawo. Saqala ngokufaka isicelo eMnyangweni ukuba isikole siqhutshwe ngoba sibona izingane zethu ziphelelwa isikole uma seziqede uGrade 9 lapha eLembethe. Isicelo sethu kwavela ukuthi siphasile. Saqala sacela igumbi lesikhashana ukuze abafundi bezoba nendawo eyanele. Konke bekubukela kuhamba kahle kwaze kwabhaliswa abafundi bakaGrade 10. Izinkinga esingazi zivelaphi ziqubuke sekuqala unyaka,” kusho uChonco.

UMnyango wezeMfundo uthi awuzange usiphasise isicelo.

Ilungu lesigungu esilawula isikole uMnuz Thandanani Lembethe ukuqinisekisile ukuthi abafundi bahlezi ekhaya.

“Namanje silinde uMnyango ukuba ulungise udaba lokuba kuqalwe ukufunda kukaGrade 10 kulesi sikole ngoba konke sesakwenza,” kusho uLembethe.

Kuvele ukuthi ngoFebhuwari 13 kuzoba nemashi edolobheni laseMuden, kuhanjswa izikhalazo emahhovisi oMnyango wezeMfundo.

“Imfundo asizange siyithole thina ngakho silwela izingane zethu ukuba zifunde. Izikole zamabanga aphezulu zikude kakhulu, izingane azikwazi ukuhamba yingakho kumele silwele ukuba isikole siqhutshwe,” kusho uChonco.

Bathe ngenxa yokuqhela kweMuden High neMount Estina Combined, izingane zabo kuphoqa ukuba zigibele amaveni futhi abanayo imali yokuzigibelisa.

Isolezwe lithole ukuthi lesi sikole sasungulwa nguMnuz Mankonzini Lembethe owayesebenzisa indlu yesonto ukufundisa amalungu omphakathi ukufunda nokubhala izincwadi.

Kuthiwa washona efake isicelo sokuba kwakhiwe isikole kule ndawo kwagcina kwenzeka ngo-1993.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Mlotshwa uthe: “UMnyango awuzange uvume ukuthi uzosiqhuba lesi sikole ngokufaka uGrade 10. Isikhulu sesifunda lesi sikole esingaphansi kwaso sayala abazali ukuba bafake isicelo uma befuna lokhu kwenziwe (kuqhutshwe isikole), bese kulandelwa imigudu. Kumanje izikhulu zixoxa nothishanhloko bezikole okumele laba bafundi bayobhaliswa kuzo.”

Utholwe ezilengisile othethiselwe ukukhulelwa

$
0
0

Ushaqekile umndeni womfundi ozilengisile kulandela ukuthethiselwa ukukhulelwa.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

USHAQEKILE umndeni womfundi oneminyaka engu-21 ozilengisile kulandela ukuthethiselwa ukukhulelwa eMatimatolo ngaphandle kwaseGreytown.

UNksz Siphelele Gabela (21) obefunda uGrade 12 kwesinye sezikhungo eMgungundlovu utholakale elenga ekameleni lakhe lokulala kubo ngoMsombuluko.

Ilungu lomndeni elingathandanga ukudalulwa lithe lo mfundi okusolwa ukuthi ubenezinyanga ezintathu ekhulelwe ushiye incwadi echaza ngokuzibulala ngoba ethethiselwe ukuthi ukhulelwe.

Leli lunga lithe namanje umndeni usamangele futhi udumele ngokwenzekile.

“Sishaqekile sonke ngesenzo sikaSiphelele ngoba ubengakhombisi ukuthi angenza into efana nalena. Kuvele ukuthi uzithwele ngakho engeke esakwazi ukubuyela esikoleni kulo nyaka. Udadewabo nomfowabo bamsolile ngokukhulelwa bamthethisa ngoJanuwari 31 nonyaka kodwa kwadlula lokho. Bamshiya ekhaya ngoMsombuluko beya emsebenzini. Simangale sonke sesimfica elenga ebhale incwadi ebikucacisa ukuthi udinwe ukuthethiswa wakhetha ukuzibulala,” kusho ilungu lomndeni.

Okunye okuthiwa kubhalwe kule ncwadi kuthi: “Ngithatha lesi sinqumo sokuzibulala ngoba ningithethisile ngoba nakhu nina ningawenzi amaphutha.”

Lo mfundi ongasenabo abazali kuthiwa utholwe yintombazanyana eneminyaka engu-13 elenga njengoba amanye amalunga omndeni abesemsebenzini.

Le ntombazanyana kuthiwa izoyiswa kodokotela abalapha ngokwengqondo. Lesi sigameko kuthiwa siyishiye iqhaqhazela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, usiqinisekisile lesi sigameko wathi kuvulwe idokodo ngaso.

“Kuvulwe idokodo ngokushona komuntu kulandela ukutholwa kwesidumbu sowesifazane silenga endlini alala kuyo. Icala lipheywa esiteshini saseMatimatolo, uphenyo lusaqhubeka ngembangela yalesi sigameko,” kusho uZwane.

Basola ukubanjiswa isisila sehobhe

$
0
0

Bakhala bayazithulisa abakhiphe imali yokuqeqeshelwa ukusebenza emikhunjini nasemabhanoyini.

|||

ZANELE MSOMI

BAKHALA bayazithulisa abakhiphe imali yokuqeqeshelwa ukusebenza emikhunjini nasemabhanoyini, bathenjiswa nokutholelwa imsebenzi njengoba sebesola ukuthi baqoliwe.

UMnuz Senzo Dlamini (27), waseMgungundlovu ongomunye wabo uthi ubesebona impilo izoba ngcono emuva kokunikezwa isiqiniseko sokuthola umsebenzi uma eseqeqeshiwe. Ungomunye wabangaphezu kuka-20 abaqeqeshwa yisikhungo esisebenzela ngasechwebeni lemikhumbi kuNatal Building, eThekwini.

Uthi wabona isikhangiso kwi-internet wafaka isicelo.

“Ngikhonzile ukungena kwi-internet ngoba ngisuke ngifuna amathuba angcono omsebenzi. Bekubhalwe nokuthi utholelwa umsebenzi uma usuqeqeshiwe,” kusho yena.

Kuthiwa lesi sikhangiso siyavela nasemaphephandabeni njengoba abanye besibone khona.

Isikhangiso sinxenxa ukuthi kufikwe emahhovisi akunombolo 77 eNatal Building.

NgoSepthemba wonyaka odlule uDlamini waqala ukuqeqeshwa kulesi sikhungo, Isolezwe elinaso igama laso, wathola nesitifiteki.

“Ngaqala ngakhokha u-R1 500 kwathiwa ngizoqeqeshwa amasonto amabili. Uma sekusondele ukuthi sibhale izivivinyo ngakhokha omunye u-R1 500. Ngathola isitifiketi okwathiwa siyiqinisekiso sokuthi ngizothola umsebenzi ngaso,” kusho yena.

Eseqedile ukuqeqeshwa uthi wayalelwa ukuthi aye kwinhlolokhono eCape Town, bakubeka kwacaca ukuthi uzobe edlala ngethuba uma engayi.

“Indlela okwase kuphuthuma ngayo ngagibela ibhanoyi, ngithatha imali yokugcina sengazi ukuthi vele sengizosebenza,” usho kanje.

Uthi wahlangabezana nembibizane eCape Town ethola ukuthi lapho beyalelwe khona akukho nhlolokhono futhi abazani nomqashi obathumile. Uthe bafike bathola ukuthi lapho beyalelwe khona kusuke kuzofeselwa imisebenzi yamabhanoyi futhi akekho onesiqiniseko sokuqashwa.

UNksz Sindi Zulu (21), waKwaMashu uthe usechithe ngaphezu kuka-R6 000 ekhokhela ukuqeqeshwa nohambo lwaseCape Town. Naye waya kulesi sikhungo wathola isitifiketi waqinisekiswa nokuthi uzoqashwa.

“Ngithe uma ngibona kuhamba isikhathi ngingaqashwa ngaphindela khona, bangikhomba eCape Town engifika ngathola ukuthi akwaziwa lutho ngathi.”

Isolezwe linabo nabanye abalinganiselwa ku-15 abakhala esifanayo. Okubakhalisa kakhulu wukuthi isikhungo siyenqaba ukubuyisa imali yabo namaphoyisa ayenqaba ukuvula icala. Kuthiwa amaphoyisa athe ngeke alivule icala ngoba yibona abaziyele kulesi sikhungo bazikhiphela nemali.

Isolezwe lishayele izinombolo ezintathu zikamakhalekhukhwini ezibhalwe esikhangisini ebezikhala zingabanjwa.

Babheke okuningi ngezempilo kwekaZuma

$
0
0

Bafuna akubeka eqhulwini ukulungiswa kwesimo sakuleli sezempilo uma ethula inkulumo yakhe yesimo sezwe uMengameli Jacob Zuma.

|||

LUNGI LANGA

BAFUNA akubeka eqhulwini ukulungiswa kwesimo sakuleli sezempilo uma ethula inkulumo yakhe yesimo sezwe uMengameli Jacob Zuma abenhlangano elwela amalungelo abaphila negciwane lengculazi iTreatment Action Campaign (TAC)

UMnuz Anele Yawa wale nhlangano uthe bafuna uMengameli aveze ukuthi yiluphi uhlelo abanalo lokulungisa isimo sezempilo. NgoLwesine ebusuku uMengameli uzobe ethula inkulumo eyibhekise esizweni okuzoba kungokokuqala emuva komsindo owaqubuka ngasekupheleni konyaka odlule amalungu e-EFF naweDA efuna uZuma azophendula imibuzo ePhalamende ngodaba lomuzi wakhe oseNkandla.

Ukhale ngokuthi izifundazwe zizenzela ezikuthandayo okubeka impilo yabantu engcupheni.

Ezinye zezinto akhale ngazo ukuthi kuze kube manje alukho uhlelo olucacile lokuqinisekisa ukuthi onompilo abasiza emiphakathini bagcina beqashwe ezikhungweni zezempilo.

“Izifundazwe zenza ngendlela yazo. Alukho uhlelo oluqondile olulandelwayo olungaqinisekisa ukuthi onompilo bayaqashwa basebenze ezikhungweni zezempilo ukuze kusizakale iziguli,” kusho uYawa.

Uthe okunye abafuna ukuzwa umengameli ekhuluma ngakho ukuthi uhulumeni wakuleli uzokwenzenjani ukulungisa umthetho ongamele ukutholakala kwemishanguzo eshibhile.

Izinhlangano okubalwa kuzo iTAC, Medicins sans frontiers/Doctors Without Boarders (MSF) neSection27 sekukaningi zizwakalisa ukukhala ngomthetho ovumela izinkampani ukuthi zihlinzeke ngemishanguzo ebizayo iminyaka engu-20 ngaphandle kokubangiswa yizinkampani ezikhiqiza imishanguzo efanayo ngemali encane.

UYawa uthe ziningi kakhulu izinto ezidinga ukulungiswa ukuze isimo sezempilo kuleli sibe sezingeni elifanele. Uthe ngisho uhlelo lomshwalense wezempilo kahulumeni, iNational Health Insurance (NHI) kufanele kucaciswe ngalo nokuthi selukuphi.

“Lolu hlelo luhle uma lubhalwe phansi kodwa kunezinkinga okufanele zilungiswe ukuze kucace ngokusebenza kwalo. Ezinye zezibhedlela zisezindaweni ezisemakhaya lapho okungangeni khona izimoto ngenxa yesimo semigwaqo. Kwezinye ama-ambulensi awakwazi ukungena. Indlela abahlengikazi abaphatha ngayo iziguli nayo kubalulekile ukuba ibhekisiswe. Nabantu kufanele babe yingxenye yohlelo. Kwezinye izindawo ungathola ukuthi abantu abazi nangalo. Uma uthi NHI abazi ukuthi ukhuluma ngani ngoba akukaze kuxoxwe nabo ngayo,” kusho uYawa.

Uhola u-R3m ngokuhlala ekhaya

$
0
0

Iphephandaba iSunday Independent libike ukuthi uMnuz Maxwell Sirenya uhola u-R3m yize sekuphele iminyaka emibili amiswa emsebenzini.

|||

IPHEPHANDABA iSunday Independent libike ukuthi owayengumqondisi eMnyangweni wezaManzi uhola u-R3 million yize sekuphele iminyaka emibili amiswa emsebenzini.

UMnuz Maxwell Sirenya waxabana nowayenguNgqongqoshe wezaManzi, uNkk Edna Molewa, kubangwa ithenda ka-R419 million ngo-2013.

Kwasuka ingxabano phakathi kukaNkk Lindiwe Sisulu owayenguNgqongqoshe weMisebenzi kaHulumeni noNkk Molewa kubangwa udaba lukaSerenya.

Kuvela ukuthi uNkk Sisulu wayebhekisisa ukuthi ngabe uNkk Molewa ulandele yonke imithetho yokunika iBusiness Connection ithenda. – Sapa


Bakhale ngendawo kugadla izulu

$
0
0

Izikhukhula ezihlasele iKZN zadlula nemiphefumulo yabantu abahlanu zishiywe kukhalwa eMlazi, eZinkawini kwa-Q.

|||

MLUNGISI GUMEDE

IZIKHUKHULA ezihlasele iKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu ebusuku zadlula nemiphefumulo yabantu abahlanu zishiywe kukhalwa eMlazi, eZinkawini kwa-Q.

NgoLwesihlanu, kushone umfundi wasoGwini Comprehensive School uNozipho Sosibo (15) wakhona eZinkawini ngemuva kokuthi umuzi wakubo uwelwe isihlahla esimlimaze elele embhedeni.

Khona futhi eMlazi kushone nomunye umfundi uNtokozo Sikhakhane (15) waseMenzi High School ngemuva kokuwelwa wumthangala kakhonkolo.

EMgungundlovu indoda esikhulile nosana obelunezinsuku ezine bashonile emuva kokulelesa komphezulu.

EMariannhill kushone oyedwa omunye walimala kanzima ngesikhathi bedilikelwa yindlu yodaka.

EZinkawini bathe sebeba novalo uma izulu lihloma ngoba basaba ukuthi kungenzeka kuphinde kushone abanye abantu.

Uyise kaNozipho, uMnuz Mandlakayise Sosibo, uthe bakhe endaweni embi enamanzi uma like lana kakhulu imizi yabo iba sengozini yokumuka.

“Sekungokwesithathu manje kushona abantu uma kunezikhukhula endaweni yethu njengoba manje sekuyingane yami. Umkhandlu weTheku uyasisusa lapha wathi asidingeki ngoba sakhe endaweni engafanele. Ikhona eminye imindeni ewu-15 esiyasuswa yakhelwa imixhaso ePhilani nathi sisalindile ukuthi sakhelwe,” usho kanje.

Elinye ilungu lomphakathi, uMnuz Zakhele Ngubane, uthe bafisa sengathi lungashesha uhlelo lukamasipala lokubasusa kule ndawo ngoba ayiphephile.

“Sihlaliswe ukuhlupheka kuphela kule ndawo, ukuba asixakekile ngabe sesasuka sayokwakha kwenye indawo,” usho kanje.

UNgubane uthe umkhandlu wathi kungabe kusakha muntu ngesikhathi ususa imindeni ewu-15 kodwa abantu bayaqhubeka nokugxumeka imijondolo.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe amathimba abo ezinhlekelele atshalwe kuzo zonke izindawo ukuhlola umonakalo.

UMayisela uxwayise ngokuthi abantu abahlala ezindaweni ezingaphephile kumele baqaphele.

Basabisa ngokunyomfa eyeTheku

$
0
0

Asabisa ngokunyomfa ingqungquthela yokukhetha ubuholi obusha besifunda iTheku amagatsha e-ANC.

|||

MLUNGISI GUMEDE

ASABISA ngokunyomfa ingqungquthela yokukhetha ubuholi obusha besifunda iTheku amagatsha e-African National Congress (ANC) angu-10 akade esehlalile okuphume umyalelo ekomkhulu wokuthi kumele aqaliswe phansi.

Ithimba labacwaningi elivela ehhovisi likazwelonke linxuse ukuthi amagatsha angu-10, akade evele esehlalile iningi lawo eleseka uMnuz James Nxumalo ukuba abe nguSihlalo omusha we-ANC eThekwini, aqale phansi ngoba lithola ukuthi kukhona lapho kungahambanga kahle khona.

Umbango uphakathi kukaNxumalo noNkk Zandile Gumede.

Lama gatsha awahambisani nokuthi aqaliswe phansi ngoba ekhala ngokuthi kunzima ukuhlanganisa umhlangano wokukhetha we-ward.

NgoMgqibelo, lamagatsha aphazamise umhlangano wesigungu sesifundazwe obuseMtubatuba.

Lama gatsha abekhala ngoNobhala uMnuz Sihle Zikalala emsola ngokuthi usebenzisa amandla akhe budlabha njengoba kubhekwe engqungqutheleni.

Namhlanje kuhlelwe ukuthi kube nombhikisho ngaphandle kwamahhovisi e-ANC esifundazwe lapho amagatsha azobe enza izethulo zawo echaza ukuthi yini eyenza abone ukuthi ukuhlala kwawo kwaba yimpumelelo.

Ngeledlule amalungu e-ANC asuka kwaXimba amashele emahhovisi e-ANC eThekwini ezothula izikhalo zawo kuZikalala. Ayekhala ngokuthi i-ward yawo “intshontshiwe” ngoba kuthiwa yahlala yize yaba nokuphazamiseka kwaze kwaqhuma ngisho isibhamu kwakhona abalimalayo.

“Uma kuthiwa lamagatsha ayishumi awaqale phansi ngiyafunga ngiyagomela ngeke ihlale ingqungquthela ngoba sizoyinyomfa,” kusho ikhansela nalo i-ward yalo okuthiwe kumele iqale phansi ikhethe kabusha.

Lithe kunzima ukuhlalisa umhlangano we-ward kufana nokuthi ukuhlala kwabo kuchithwe ngosuku lwengqungquthela ngoba sincane kakhulu isikhathi sokuthi basangabiza omunye umhlangano ngempumelelo ngaphambi kwengqungquthela ezoqala ngoLwesihlanu.

Omunye umthombo weSolezwe ozazi zonke izindaba zesifunda iTheku, uthe kunesiphakamiso sokuthi ubuholi besifunda obukhona njengamanje obuholwa uDkt Sibongiseni Dhlomo buhlakazwe ingakafiki ingqungquthela.

“Kunesiphakamiso futhi sokuthi kungenelele ubuholi ezingeni likazwelonke ngoba indaba yalapha eThekwini isithanda ukuhlula,” usho kanje.

Phambilini bekuthiwa angu-68, amagatsha asehlalile ngempumelelo, manje angu-10 kuwona sekuthiwa kumele aqale phansi akhethe kabusha, lokho okwenza kube nzima ukuhlanganisa isibalo esifunwayo samagatsha angu-73, ukuze izohlala.

Ukuqaliswa phansi kwalamagatsha kwenza ukuthi abe mancane amathuba okuthi ingqungquthela izohlala ngalezi zinsuku ezibekiwe.

Umhlaziyi wezepolitiki ozimele ongumncwaningi esikhungweni i-Xubera Institute uMnuz Xolani Dube, uthe akakholwa ukuthi le ngqungquthela izohlala ngalezi zinsuku ezibekiwe.

“Noma kuthiwa iyahlala beyiphusha kodwa ngeke ihlale ngaphansi kwezimo ezamukelekile ngoba le ngqungquthela ibalulekile ngoba iyona futhi ekwazi ukuthatha isinqumo sokuthi ngubani ozoba nguNdunankulu noSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal. Enye into eyinkinga ngale ngqungquthela indaba yemali, uma ubuka iningi labantu abahamba noNkk Gumede balambe ngempela bafuna ukuthi uma engena esikhundleni abakhumbule kanti laba abahamba noNxumalo bona bavele bayadla kumanje bafuna ukuthi umbele wabo ungapheli njengoba befuna athathe isikhundla ngoba uma angase angaphumeleli kusho ukuthi bazophelelwa iphalishi,” kusho uDube.

Ufunelwa isikole uthisha owabanjwa newunga

$
0
0

Umnyango wezeMfundo eKZN uthembisa ukuthi uzosithola isikole esisha uthisha owaboshelwa ukutholakala newunga ngonyaka odlule.

|||

ZANELE MSOMI

UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal uthembisa ukuthi uzosithola isikole esisha uthisha weseNtshisekelo High School, eNanda owaboshelwa ukutholakala newunga ngonyaka odlule.

UMnuz Sandile Ndaba (36), ubesephenduke umantunta nendishi emuva kokuchithwa yisikole sakhe kodwa wangasithola isikhala kwesinye.

UNdaba wabanjwa newunga ngasenxanxatheleni yezitolo KwaMashu, icala lahoxiswa ngaphansi kwemibandela enkantolo yeMantshi eNtuzuma.

Ngesikhathi eboshwa wayesevele enezinkinga esikoleni engasanikezwa nekilasi ngenxa yezinsolo zophuzo olungalawuleki.

Yize evuma ukuthi wayephuma ethaveni ngesikhathi eboshwa, kodwa uyaphika ukuthi iwunga kwakungeyakhe njengoba esola ukuthi kukhona abamfakela esikhwameni.

UNdaba usola uthishanhloko ngokumhlukumeza nokumphuca umsebenzi athi yikona okumdalele ukhwantalala. Uthe ubehlaba ikhefu kwesinye isikhathi izinyanga ezintathu eyokwelashwa ngenxa yokufikela amahhala esikoleni.

“Ngagcina ukufundisa ngo-2011 njengoba kumanje sengifikela ukusayina esikoleni ngihambe. Uthishomkhulu ubehlale engisabisa ethi uzongixosha ngoba ngiholela amahhala. Nozakwethu uma ngifikile bayangigcona bathi ngiholela amahhala,” kusho yena.

Uthi waqala ukufundisa eNtshisekelo i-Accounting ne-Economics kwaGrade 11 no-12 ngo-2005. Kuhambe isikhathi wabuyiselwa kwaGrade 8 no-9 wafundisa i-EMS wangabe esaqhubekela kwamanye amakilasi. Ngokwanda kwezinkinga wagcina esehlaliswa egunjini lothisha angavumeleki ngisho ukungena ekilasini.

“Njengoba kuhamba iminyaka ngingafundisi ngiyaphupha. Uhlelo lokufundisa i-Caps (Curriculum Assessment Policy Statements) no-ANA (Annual National Assessment) angikwazi,” usho kanje.

Nyakenye uNdaba wathola incwadi emkhomba ePalm View Secondary School eVerulam wathola ukuthi azidingeki izifundo azifundisayo. Kulo nyaka ukhonjwe eKuthuleni Primary School nakhona bamchitha ngoba ekade efundisa esikoleni samabanga aphezulu.

UMnuz Manqoba Myeni oyiClinical Psychologist eyelapha uNdaba encwadini ayibhalile uyakuqinisekisa ukuthi waqala ukumelapha ngo-2008. Uveza ukuthi wakhishwa esibhedlela ngoJuni wonyaka odlule kodwa uyaqhubeka nemishanguzo ye-Biopolar Disorder (ukuphazamiseka emqondweni). Uyakuqinisekisa ukuthi ukulungele ukubuyela emsebenzini futhi ukungaphindeli kwakhe kuzomdalela ingcindezi nesifo singalawuleki.

UMnuz Muzi Mahlambi okhulumela uMnyango uthe luyalungiswa udaba lukaNdaba.

“Udaba luseMnyangweni luphethwe uChief Director. Uzofunelwa isikhala esikoleni esihambelana naye,” kusho yena.

Kushubile abokufika befuna ukuphindisela

$
0
0

Bavinjwe wumphakathi sebefuna ukuziphindiselela kwababasola ngokubahlukumeza abokufika eNewlands West.

|||

ZANELE MSOMI

BAVINJWE wumphakathi sebefuna ukuziphindiselela kwababasola ngokubahlukumeza abokufika eNewlands West, emuva kokubulawa komunye wabo ogwazwe washona ngoMgqibelo.

Isimo besimanzonzo izolo emphakathini ohlala ku-ward 41 eNewlands emuva kokubulawa kukaMnuz Frank Dave (22), waseMalawi owagwazwa ngoLwesine washonela esibhedlela iNkosi Albert Luthuli, eThekwini ngoMgqibelo.

Kuthiwa kusukela ngonyaka odlule kuneqeqebana labafana emphakathini elihlukumeza abokufika. Kuvela ukuthi sekugwazwe abayisikhombisa kusukela kuqale lezi zigameko.

UMnuz Sibusiso Dlamini onguSihlalo wekomiti lomphakathi elisebenzisana namaphoyisa uthe isimo sesingaphezu kwamandla.

“Sekunesikhathi eside kuhlukunyezwa abokufika, siyawabikela amaphoyisa kodwa akuboshwa muntu. Okubi laba abahlukumezayo ngabafana abaziwayo endaweni kodwa ababoshwa. Namuhla (izolo) ngivimbe abafowethu bokufika sebethi bakhathele, bafuna ukuzibambela umthetho ngoba sebekhathele,” kuchaza yena.

Izolo amalungu omphakathi abevutha ethi akhathele abantu abahlukumeza abokufika bengenzanga lutho. UDlamini uthe bazobiza umhlangano womphakathi bazame ukuphuma nesixazululo.

UMnuz Mohamed James onguninalume kaDave uthe akazi ukuthi bahlukunyezwa nje benzeni ngoba bafika bezofuna umsebenzi.

Uthe yena wafika ngo-2013 umshana wakhe wafika ngonyaka odlule.

“Bengingahlali naye ngoba ubeqashwe kwenye indawo. Ngafonelwa ngoLwesine ngisemsebenzini kuthiwa angiphuthume usegwaziwe. Ngamfica eselele phansi kodwa bobabili omakhalekhukhwini bakhe bengathathwanga. Samphuthumisa ePoly Clinic wadluliselwa esibhedlela, bangifonela ngoMgqibelo eseshonile. Angikababikeli nasekhaya eMalawi ngokufa kwakhe,” usho kanje.

UMnuz Steve Balara (22), waseMalawi ungomunye wabasinde behlaselwa ngoNovemba ephuma emsebenzini. Uthe uyabazi abafana abamhlasela, bamthuka ngamagama okucwasa maqede bamphuca u-R300 neselula yakhe. Uthe walala isonto esibhedlela iKing Edward.

Yize kunezigameko zokuhlaselwa kwabokufika naKwaMashu naseNtuzuma, ikhansela uMnuz Lucky Mdlalose uyakuchitha ukuthi lezi zigameko zihlobene. Usola ubugebengu njengoba uthi abasolwa kuthiwa sebehluphile emphakathini. Uthe bazozama ukungenelela.

Anginalo uvalo ngabe-EFF – Zuma

$
0
0

UMengameli Jacob Zuma uthi akanavalo mayelana nezinsongo zabe-EFF zokudala isiphithiphithi ePhalamende.

|||

LEBOGANG SEALE

UMENGAMELI Jacob Zuma uthi akanavalo mayelana nezinsongo zabe-EFF zokudala isiphithiphithi ePhalamende uma engayiphenduli imibuzo mayelana nezindleko zokulungiswa komuzi wakhe eNkandla.

I-EFF isabisa ngokudunga ukwethulwa kwenkulumo yesizwe ngoLwesine.

Kunalokho uMengameli uthe akunacala okumele aliphendule mayelana nezigidi ezasebenza kuqiniswa ezokuphepha emzini wakhe oseNkandla.

Ekhuluma emcimbini wesidlo nabahleli izolo e-Union Buildings ePitoli, uZuma ugcizelele ahlale ekusho kokuthi kwammangaza okwatholwa nguMvikeli woMphakathi u-Advocate Thuli Madonsela owathi yena nomndeni wakhe bahlomula ngokungafanele kulo muzi owalungiswa ngo-R246million.

Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema waxwayisa ngokuthi iPhalamende kungenzeka liphinde libe nesiphithiphithi esabonakala ngo-Agasti ngesikhathi amalungu eqembu lakhe ashaya khona izitulo ememeza ethi “Pay back the money”. Wexwayise ngokuthi lokhu kungaphinda kwenzeke uma uZuma engayiphenduli imibuzo emayelana neNkandla ngoLwesine.

UZuma uthe imithetho ezomlawula.

“Konke kuncike emthethweni yePhalamende. Ngizolalela uSomlomo (Baleka Mbete) bese ngithatha isinqumo esincike kulokho azokusho,” kusho uZuma.

“Angicabangi ukuthi kukhona into eyehlukile. IPhalamende lisebenza ngokwemithetho ebekiwe… Angikaze ngibe netwetwe empilweni yami.”

UZuma uthe ukudonsa umoya umzuzwana wabe eseqhubeka, ethi: “Okokuqala nje angivumelani ne-EFF. Ngesikhathi bephakamisa lolu daba labe seluvele lusezithe-beni zePhalamende luxoxwa yiko-miti elaliqondene nalo... Ukube ngangiwuSomlomo ngangingeke ngiwuvumele lowo mbuzo.”

UZuma uphinde waziqhelelanisa nezindleko, egcizelela ukuthi kunebhondi ayikhokhayo ngalo muzi. Uveze ukunengeka kwakhe ngalokho okwatholwa nguMadonsela.

“Okwesibili kuyaziwa ukuthi kulolu daba lwaseNkandla, kwathiwa uZuma wasebenzisa budlabha imali engaphezulu kuka-R200m. Zintathu izikhungo eziphenyile kanti akukho nesisodwa esithole ukuthi ngonile. Kodwa uMvikeli woMphakathi wathi ngazuza ngendlela engafanele… UZuma wazakhela umuzi wakhe.”

UMengameli obekufike lesi sikhathi ebukeka ezikhulukele, uqalile washintsha. Uthe kunabathile abamgxeka ngokungafanele.

“Lezi zinto ziyabhekwa yilabo eziqondene nabo ababhekene nezokuphepha. … Ngabe lo msindo udalwa wukuthi siyaqala ukuba noMengameli waseNkandla? Abukho ubulungiswa kulokho.

“Ngithi mina akulona udaba oluncane ukuthi kuthiwe ngasaphaza u-R250m, akuyona into encane. Ngikhokha ibhondi yomuzi wami kanti nina nidukisa izwe lonke… Empeleni mithathu imizi engiyikhokhelayo kodwa abantu badukisa izwe.”

UZuma usole i-EFF ngokwenza udaba lwaseNkandla umdlalo wepolitiki.

“Ngicabanga ukuthi kunuka santungwana kule ndlela abaphehla ngayo lolu daba. Ngicabanga ukuthi abantu basebenzisa lolu daba lwaseNkandla ngezizathu zepolitiki. Manje kumele ngikhathazeke nge-EFF? Angizikhathazi nge-EFF.

“Manje kungani kumele ngikhokhe imali lungakaphothulwa lolu daba? Abukho ubulungiswa lapho.”

UZuma uvumile ukuthi elakuleli lisenkingeni ngodaba lukagesi.

Uthe uhulumeni wawungenza kangcono ukuvimba le nhlekelele.

UZuma uthe uhulumeni oholwa i-ANC awuzange ulusukumele lolu daba kusukela waqala ukubusa ngo-1994.

“Ukukhula komnotho nokwanda kwabantu okudingeka bahlinzekwe ngogesi kusenze sabona ukuthi sinogesi ongenele. Mhlawumbe kwakumele senze kangcono,” kusho uZuma.

UZuma uthe indaba kagesi izokube isequlwini kulezo azozithinta enkulumeni yakhe ebhekiswe esizweni ngoLwesine. Nokho akathandanga ukudalula imininingwane ngenkulumo azoyethula.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>