Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

UButhelezi uhlaba inkulumo ye-EFF

$
0
0

Umholi we-IFP iNkosi Mangosuthu Buthelezi akeneme neze ngesinyathelo se-EFF sokusabisa uMengameli Jacob Zuma.

|||

MLUNGISI GUMEDE, siyabonga mkhwanazi noCELANI SIKHAKHANE

UMHOLI we-IFP iNkosi Mangosuthu Buthelezi akeneme neze ngesinyathelo se-EFF sokusabisa uMengameli Jacob Zuma ngokuthi izophazamisa inkulumo yakhe yesizwe azoyethula ngoFebhuwari 12 ngoba ifuna aqale acacise ngodaba lwemali eyakha umuzi wakhe oseNkandla.

UButhelezi ukusho lokhu ephawula ngalesi sinqumo se-EFF, wathi akusekhona ukuthi leli qembu lihlikiza uZuma kodwa selinaphaza nezwe uqobo.

Ukusho lokhu ngemuva kokuthi i-EFF isongele uZuma ngokuthi izophazamisa inkulumo yakhe bamashele ePhalamende benqunu ngesonto elizayo beyozwakalisa ukungenami kwabo ngodaba lwemali yokwakhiwa komuzi wakhe oseNkandla.

“Uma i-EFF izogcina ikwenzile lokhu esabisa ngakho, lokho kuzoveza isithombe sokuthi iNingizimu Afrika isehlathini emazweni omhlaba kube ngathi asinawo umthetho. Eminyakeni edlule abaholi be-ANC babekhuthaza uMengameli we-EFF uMnuz Julius Malema esengumholi we-ANCYL ukuba ajizave abanye abaholi kodwa manje sebebambe ummese ngalapho usika ngakhona kumele babonge ukuthi bafundise kahle,” usho kanje.

UButhelezi uthe bayaziqhelelanisa nesinyathelo se-EFF, wathi bayahambisana nokuthi kwenziwe yonke imizamo yokuthi ivinjwe ukuba ingamphazamisi uZuma.

“Inkulumo abayishoyo ethi akulalelwe umbiko kaMvikeli woMphakathi ngodaba lwaseNkandla siyahambisana nayo kodwa indlela ewubudlabha abaziphatha ngayo asihambisani nayo. Uma nidla nibaningi bese kuba khona ozithela ngokudla lokho kukhombisa ukuthi usuke eyidlabha,” usho kanje.

UButhelezi uthe uke wafonelwa uMfundisi uRay McCauley eveza uvo lwabo njengabefundisi ngokusabisa kwe-EFF, uyabona ukuthi le ndaba ayithinti ipolitiki kuphela kodwa ikhathaza wonke umuntu.

Izolo kuvele ukuthi ezokuphepha zizoqiniswa kakhulu ePhalamende ngenxa yezinsongo zabe-EFF.

NgoLwesine uMkhuzi wamaPhoyisa uRiah Phiyega uthe bazoziqinisa ezokuphepha ngoLwesine oluzayo.

IPhalamende like lagxekwa phambilini ngokufaka amaphoyisa ezindlini zoMbuso ngesikhathi abamaqembu aphikisayo benqaba ukuphuma ngemuva komyalelo kaSomlomo.

Umhlangano wakusasa nabezindaba kulindeleke ukuthi uveze ukuthi iPhalamende lizozihlela kanjani ezokuphepha ngesonto elizayo.

Akukaze kwenzeke phambilini ukuthi abaholi abaphezulu bakhulume ngezokuphepha ngenxa yovalo ngokungenziwa ngelinye lamaqembu aphikisayo.

I-EFF ifuna uSomlomo uNkk Baleka Mbete abize umhlangano oyisipesheli ngaphambi kokwethulwa kwenkulumo yesizwe ukuze uMengameli Jacob Zuma azophendula imibuzo.

Kodwa uMbete ukwenqabile lokho kanti ngemuva kwalokho i- EFF isabise ngokuphazamisa uma uZuma engaphenduli ukuthi uzoyikhokha nini ingxenye ethile yemali okwalungiswa ngayo umuzi wakhe eNkandla.

Emasontweni amabili edlule uZuma wathi uzophendula imibuzo ePhalamende ngoMashi 11.


Impikiswano ngokuqanjwa kwemigwaqo

$
0
0

Umkhandlu kamasipala weTheku kuphoqeleke ukuthi ubuyisele emuva umqulu onesiphakamiso sokuthi kuqanjwe kabusha umgwaqo omkhulu waseThekwini uKing Cetshwayo Highway.

|||

CELANI SIKHAKHANE

UMKHANDLU kamasipala weTheku kuphoqeleke ukuthi ubuyisele emuva umqulu onesiphakamiso sokuthi kuqanjwe kabusha umgwaqo omkhulu waseThekwini uKing Cetshwayo Highway obizwa ngeSilo sasoNdini ukuze uqanjwe ngesishoshovu se-ANC esingasekho, uMnuz Ismael Akoonjee.

NgoLwesine isigungu somkhandlu sidingide indaba yokuphakanyiswa kokuqanjwa kabusha kwemigwaqo ku-ward 30 no-ward 101 kodwa udaba lomgwaqo oqanjwe ngeSilo uCetshwayo aluzange lusaxoxwa ngenxa yamaphutha abekhona nokunqaba kwe-DA ukuba ivumelane namanye amakhansela ngalo mqulu.

USomlomo weTheku, uMnuz Logie Naidoo, uthe baphoqeleke ukuthi bawubuyisele emuva umqulu ngoba bebona ukuthi kube nephutha elikhulu elenziwe nelibeka sengathi kuzoqanjwa kabusha uKing Cetshwayo. “Akulona iqiniso ukuthi kuzosuswa igama leSilo uCetshwayo. Lokho ngeke kwenzeke ngoba kungabe sekukhona ukungahloniphi uma senze njalo kodwa okumele sikucacise wukuthi kunomgwaqo omncane oqhamuka kuKing Cetshwayo Highway ongenela emizini yabantu okuyiwona ozoqanjwa ngo-Akoonjee, ube ngu-Akoonjee Drive. Umbiko walolu hlelo siwubuyisele emuva ngenxa yalo leli phutha lokuthi ubeke sengathi kuzoqanjwa kabusha uKing Cetshwayo,” kusho uNaidoo.

UKing Cetshwayo phambilini ubuwaziwa ngokuthi uJan Smuts Highway kodwa waguqulwa wabizwa ngeSilo sasoNdini ngesikhathi umasipala weTheku uqamba kabusha izakhiwo neminye imigwaqo.

Umholi weKhokhasi ye-DA, uMnuz Zwakele Mncwango, ukuchithile lokhu obekushiwo uNaidoo wathi usezama ukuvikela i-ANC ngoba ikhokhasi yayo eyenze lesi siphakamiso.

“Akukwazi ukuthi lolu daba belungagunyazwa yizona zonke izinhlaka zangaphakathi kusuka ekhokhasini yamakhansela e-ANC okuyiyo eyenze lesi siphakamiso, kube wuSihlalo wekomiti elibhekene nalolu daba nezinye bese iphutha libonwa ekugcineni esigungwini somkhandlu sekufanele kugunyazwe umbiko. Thina esizokwenza uma besaqhubeka namaphutha ohlelo oludala sizobafaka enkantolo ngoba nakulona lolu daba besikhala ngokuthi indlunkulu ngabe ithintiwe yini,” kusho uMncwango.

Uthe yonke le migwaqo enamagama kufanele umkhandlu uxhumane nomphakathi kodwa lena enezinombolo umasipala ungayiqamba amagama ngokwelungelo lawo akudingi ukuthi kuze kuyoxoxwa nabantu.

USihlalo wekomiti elibhekene nalolu daba, uNkk Nondumiso Cele, kuthe uma ethintwa wathi usesemhlanganweni kodwa kuthe uma sekubuyelwa kuye ucingo lwakhe belungasangeni.

Imigwaqo ezoqanjwa kabusha iyisishiyagalombili kanti kubalwa kuyo uCrompton Road, Daliah Lane, Jensens Road, Grammar Road, King Cetshwayo Highway, Molver Road noTrimborne Road.

Lolu hlelo luzothinta ama-ward amabili okungu-ward 30 no-101 okuyizindawo ezikoMayville naseSherwood.

Indodana ka-Akoonjee, uMnuz Schabir Akoonjee, ithe uyise wayezabalaza ngesikhathi zoMfu John Langalibalele Dube futhi babesondelene kakhulu naye ngakho bakushayela ihlombe okwenziwa yi-ANC ukuthi kube nomgwaqo ahlonishwa ngawo.

Abazali bavale isikole bebhikisha

$
0
0

Azilubhadanga esikoleni izingane zaseNsizwakazi Primary School, eKlaarwater, izolo.

|||

BONISWA MOHALE

AZILUBHADANGA esikoleni izingane zaseNsizwakazi Primary School, eKlaarwater, izolo emuva kokuba abazali beqhinqe ngaphandle kwamasango bengafuni kungene esikoleni iPhini likathishomkhulu elisolwa ngokudla imali yokuthuthukisa isikole.

Ngasekupheleni konyaka odlule laba bazali benza okufanayo kulesi sikole bevala amasango isonto lonke kungafundwa nothisha befika bazihlalele ngoba izingane zingakwazi ukungena esangweni.

Phakathi kwezikhalo zabazali kubalwa ukugcwala ngokudlulele kwamakilasi njengoba amanye enabafundi abangu-70 nothisha oyedwa, izindlu zangasese ezingasebenzi futhi ezingahlanzekile ezisetshenziswa ngabafundi baka-Grade R nabamabanga aphezulu.

NgeSonto abazali bathe ngeke kufundwe kuze kube uMnyango wezeMfundo uyazisukumela izikhalo zabo, izolo bakwenzile lokho njengoba izingane zingayanga esikoleni.

UMnuz Bheki Lembede oyiPhini likaSihlalo olawula isigungu sokuphathwa kwesikole uthe abazali badinga kungenelele iNhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uDkt Nkosinathi Sishi ngoba bayile kumhloli ophethe isekethe uMnuz Bheki Ntuli wenza sengathi uzozilungisa izikhalo zabo kodwa namanje azikalungiswa.

“Izingane zizobuya uma uMnyango usulusukumele udaba lwethu, sizamile ukubonisana nomhloli ngezinkinga zaseNsizwakazi waze wafika ngonyaka odlule kodwa usithengele amadeski namakhabethe othisha. Akashongo lutho ngokulungiswa kwezindlu zangasese nokuqasha othisha abathathu abashodayo. Kuphinde kwahamba omunye obebambile esizwe kuthiwa usethole umsebenzi oThongathi okusho ukuthi sekushoda othisha abane. IPhini likathishomkhulu alifuni ngisho sibone isitatimende sasebhange. Uma sizisho izidingo zesikole alizenzi kunalokho sibona kufika imishanelo nokunye esingakucelanga njengesigungu esibhekelele izidingo zabafundi,” kusho uLembede.

Unxuse aboMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ukuba balusukumele udaba lwabo njengoba bengafuni ukuthi izingane zabo zithole imfundo engekho ezingeni elifanele.

Yize iNsizwakazi iyisikole esidala okuphawulekayo ngayo wukuthi ayithuthukisiwe, kunamakilasi angenagesi, izindlu zangasese kazinamanzi negceke lakhon linobhuqu yize siselokishini.

UMnuz Muzi Mahlambi ophethe ezokuxhumana eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe abazali kumele balandele umthetho uma benezikhalo bangajahi ukuvala isikole ngoba lokho kuphambene nomthetho.

“Munye umuntu onelungelo lokuvala isikole nguNgqongqoshe hhayi abazali. Uma kunezikhalo kufanele kulandelwe imigudu efanele hhayi ukuthi kuvalwe isikole,” kusho uMahlambi.

OweJuluka ushayekile indodakazi izibulala

$
0
0

Kusenzima ukuqhubeka nomsebenzi wokucula kuSipho Mchunu kulandela ukuzibulala kwendodakazi yakhe.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

KUSENZIMA ukuqhubeka nomsebenzi wokucula kuSipho Mchunu wodumo lweqembu iJuluka kulandela ukuzibulala kwendodakazi yakhe eyathola ukuthi ifeyile uGrade 11.

UMchunu ocula noJohnny Clegg kwiJuluka, ufihle indodakazi yakhe uNksz Winile Mchunu (19) ngempelasonto ezibulale ngokuphuza amaphilisi kanina ithi yehlisa ukhwantalala.

UWinile kuvele ukuthi ubekulangazelele kakhulu ukuyofunda uGrade 12 kulo nyaka.

Ngesikhathi samaholidi kuthiwa amalungu omndeni wakhe amfihlela ukuthi akaphumelelanga.

Kuvele ukuthi ngesikhathi etshelwa wadumala kakhulu, wahlekwa nangabanye abafundi esikoleni.

Uphuze amaphilisi ngoJanuwari 21, waphuthunyiswa esibhedlela washonela khona ngakusasa.

UMchunu onezingane ezingu-37 eziphilayo ekhuluma neSolezwe esemzini wakhe KwaMaphumulo uthe kusenzima ukubhekana nalesi simo kwazise ubeyikhonzile indodakazi yakhe.

“Kunzima ukwamukela lesi simo. Ngabe kungcono ukuba ugulile umntwana wami manje uzibulele. Angikholwa ukuthi ubeqonde ukuzibulala kodwa okwenzekile ubezama ukwehlisa ingcindezi ngokuphuza amaphilisi kamama wakhe esifo sikashukela. Indodakazi yami ibingaphumelelanga uGrade 11 yaphatheka kabi kakhulu ngalokhu,” kusho uMchunu.

Lo mculi uthe ngenxa yalesi sigameko ukhethe ukuhlala ekhaya aphumuze umzimba nengqondo.

“Ngishayekile emoyeni ngisho nomzimba wami utubekile. Ngiwumuntu ongahlali ekhaya njengoba ngihlezi ngisebenza izindaba zomculo kodwa kulokhu ngishayekile. Umhlobo wami uClegg ubekhona emngcwabeni ezongiduduza. Uze wangibuza ukuthi ngisazokwazi yini ukuyonandisa eKapa ngenxa yesimo engikusona,” kusho uMchunu.

Uthe ucabanga ukuthi kuzoshaya isikhathi somcimbi waseKapa, iCape Town Jazz Festival ezoba ekupheleni kukaMashi, esekwazi ukubhekana nabantu.

Uthe yize enezingane eziningi kodwa zonke zinendawo yazo.

UWinile uyingane yesihlanu kaMchunu ukudlula emhlabeni njengoba sezizonke zingu-42. Uthe unamakhosikazi ayisithupha.

Udadewabo kamufi uNombuso uthe bashaqekile ngesenzo sikadadewabo obengenankinga engakatshelwa ukuthi akaphumelelanga.

“Isinqumo sokumfihlela ngokufeyila sathathwa wumndeni ngoba singafuni ukumdumaza ngesikhathi samaholidi. Sazitshela ukuthi kuzoba ngcono uma etshelwa esefikile ekhaya. Ubesekujahile ukuyofunda uMatric okuthe esethola ukuthi ngeke kwenzeke waphatheka kabi kakhulu,” kusho uNombuso.

Udadewabo uchaze umufi njengentombazane ebisithanda isikole nebihlezi ikhululekile.

UNgizwe Mchunu woKhozi FM oyisihlobo uzwakalise ukudumala ngesigameko esimehlele. Amaphoyisa aseKranskop asiqinisekisile isigameko. Athe aphenya icala lokushona komuntu.

Iyashuba eyabe-NFP ababhikishela abaholi

$
0
0

Kucishe kwachitheka uphoko unogada edonsela amalungu e-NFP isibhamu ekomkhulu laleli qembu eThekwini.

|||

MLUNGISI GUMEDE noCELANI SIKHAKHANE

KUCISHE kwachitheka uphoko izolo unogada edonsela amalungu e-NFP isibhamu ekomkhulu laleli qembu eThekwini abebhikisha ngaphandle ezama ukungena ngenkani emahhovisi efuna kuxoshwe uSihlalo weqembu KwaZulu-Natal uMnuz Vikizitha Mlotshwa.

Lo mbhikisho wayizolo ubulandela obungesonto eledlule nalapho amalungu eqembu abefuna ukungena ngaphakathi ethi azoxosha uMlotshwa ngoba emsola ngetulo lokuzama ukuketula umengameli weqembu uNkk Zanele Magwaza-Msibi.

Amalungu abephethe izingqwembe ebezibhalwe ukuthi “Mlotshwa ishonephi imali yasesiShayamthetho ibuyise siyayifuna”, ezinye zithi “Siyofa la kufa khona u-VZ sifuna aliqede ihlandla leminyaka engu-10 aphinde athathe elinye futhi.”

UMnuz Mthokozisi Khumalo onguNobhala wesiyingi saseNdaka, eMnambithi uthe bafuna isigungu esiphezulu sihlakaze ubuholi besifundazwe ukuze kuxoshwe uMlotshwa noMnuz Bonga Nzuza.

“Laba sebesihlukumeze kakhulu eqenjini besho nokuthi ngeke baholwa umfazi. Lokhu kusikhombisile ukuthi kunabaholi abangayiqondi ipolitiki abasayithatha ngokwamasiko ngoba bekholwa ukuthi abasoze baholwa umuntu wesifazane. UkaMagwaza-Msibi uyisebenzele i-NFP waze wayifaka ePhalemende nasesiShayamthetho ngakho sithi asifuni lutho ngaye kodwa abantu okumele bahambe oNzuza noMlotshwa ngoba balibulele iqembu,’’ kusho uKhumalo.

Uthe uma isigungu esiphezulu singabuhlakazi ubuholi besifundazwe bazolokhu beqhubeka nokuzoqhinqa emahhovisi bakhombise izikhalo zabo.

UNkk Bonisiwe Mkhize ongusihlalo waseNdaka uthe badiniwe inkohlakalo yoMlotshwa noNzuza ngakho babafuna bephume baphela eqenjini.

“Sibafuna behambile bayoshona olwandle, badliwe izingwenya, asibadingi nhlobo eqenjini. UMlotshwa udle izimali zeqembu esiShayamthetho wayothenga izimoto zikanokusho,” kusho uNkk Mkhize.

UMlotshwa uthe abantu baseMnambithi bahlulwe ukhetho bathola ama-ward cishe amathathu.

“Laba bantu bafuna ukufeza izinhloso zabo bayabona ukuthi amathuba abo okuba amakhansela mancane. Angazi nokuthi bayaphi kula mahhovisi aseThekwini ngoba akhona aseBergville naseMnambithi okufanele baye kuwo uma benezikhalo,” kusho uMlotshwa.

“Laba bantu abayeke ukushiya amakubo eMnambithi bazolibala ukuza eThekwini esikhundleni sokwakha amagatsha.”

Uthe eMnambithi bahlulwe ukuthola igatsha elilodwa kanti kumasipala banamakhansela angadluli ngisho kwamahlanu.

UMlotshwa uthe uzodalula konke ngalaba bantu abalokhu bebonakala eThekwini emhlanganweni wabezindaba azowubiza kusasa emahhovisi abo aseMgungundlovu.

Uthe ukungafundiseki kwalaba bantu kuhleli obala wathi abazi nokuhlukanisa phakathi kukahulumeni neqembu njengoba becabanga ukuthi imali yasesiShayamthetho kumele ikhokhele bona.

Uphiko lwabesifazane nalo luthe luzolwa kuze kube sekugcineni bevikela ukaMagwaza-Msibi kulabo abafuna ukumketula.

UNkk Sindi Mashinini uthe bayezwa ukuthi kunetulo lokuketula ukaMagwaza-Msibi kodwa bazomvikela kuze kube sekugcineni umengameli wabo.

Kungenelela amaphoyisa kwelomalume

$
0
0

Bazogadwa ngamaphoyisa omalume abathutha izingane ezifunda ezikoleni zaseSydenham.

|||

BONISWA MOHALE

BAZOGADWA ngamaphoyisa omalume abathutha izingane ezifunda ezikoleni zaseSydenham emuva kokuhlaselwa ngabantu abazibize ngamalungu kasoseshini wamatekisi wakuleya ndawo izolo ekuseni.

Omalume abaphuma KwaMashu, Clermont, Nanda, Ntuzuma, Chesterville, Mlazi nakwezinye izindawo bathwale kanzima izolo ekuseni njengoba behlangatshezwe yizigora ebezibaxosha zithi mabahambe eSydenham.

UMnuz Kwanele Ncalane obhekelele ezokuxhumana eMnyangweni wezokuThutha KwaZulu-Natal, uthe kubizwe amaphoyisa emuva kokuzwa ukuthi kube nokuhilizisana izolo ekuseni.

“Sitshale amaphoyisa azoqhubeka nokuqapha isimo emuva kokubikelwa ukuthi kukhona abahilizise abanye. ngoLwesihlanu sibe nomhlangano, zavumelana zonke izinhlaka ukuthi zizosebenzisana ngokuthula. Siyabanxusa bonke abathintekayo ukuba babuyele esivumelwaneni sangoLwesihlanu. Ukungenelela kukahulumeni kuyaqhubeka,” kusho uNcalane.

UMnuz Ntshebe ZZ Mahlaba oyilungu likasoseshini wamatekisi aseSydenham, uthe abazi lutho ngokuhlaselwa komalume futhi abakaze babaxoshe eSydenham ngoba bethi akuyona indawo yabo ngoba lokho ngabe kuwukucwasa ngokobuhlanga.

Ngesonto eledlule omalume bakhale ngokuthi usoseshini waseSydenham ufuna bakhokhe u-R 1 000 ngokusebenzisa “izinsiza ezihlelelwe wona” nokuthi basebenza endaweni okungesiyo eyabo.

Okuxakayo wukuthi izimoto zomalume azihlali erenki futhi azithuthi abantu baseSydenham zithwala abafundi abasuka emalokishini akhele iTheku.

Bathe baye bahambise abafundi esikoleni ekuseni bese bebalinda epaki ekuRandles Road ngoba bebalekela izindleko zikaphethroli futhi izingane ziyashesha ukuphuma esikoleni.

Okokuthi basebenzisa indawo yabanye abakwazi “ngoba yipaki kaMasipala engasetshenziswa”.

Kushubile kuvela ‘izinkabi’ ezingu-20

$
0
0

Besishubile isimo nezokuphepha ziqinisiwe eNkantolo yeMantshi KwaDukuza.

|||

BAWINILE NGCOBO

BESISHUBILE isimo nezokuphepha ziqinisiwe eNkantolo yeMantshi KwaDukuza izolo ngesikhathi kuvela abasolwa ngokuba “yizinkabi” embonini yamatekisi abasebenzela usoseshini waKwaMaphumulo.

Amaphoyisa abehlomile abetshalwe nxa zonke enkantolo ukuqinisekisa ukuthi isimo siyalawuleka njengoba nenkantolo ibigcwele phama imindeni nezihlobo zabasolwa.

Icala lize laqala kugamanxe ihora lesibili kuthiwa idokodo lifike emuva kwesikhathi. Ngesikhathi abasolwa abangu-20 bengena enkantolo bebephelezelwa ngamaphoyisa abeqaphe wonke umnyakazo wabo. Okugqamile ukuthi bonke abasolwa sebekhulile ngokweminyaka. Laba baboshwe ngeledlule eStanger Manor batholwa nezibhamu ezingu 15 okukhona kuzo ezizishintshayo nama-AK-47

Kuvele ukuthi abasolwa banamanye amacala. Bazoze bakwazi ukufaka isicelo sebheyili ngo-Febhuwari 16 no 17.

Kudumale amalungu emindeni yabo ngesikhathi inkantolo inquma ukuthi bazoze basifake emuva kwamasonto amabili isicelo sebheyili.

Babhekene necala lokuzama ukubulala njengoba kuthiwa badubula amaphoyisa ayengena emzini ababekuwo.

Babekwe necala lokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

Izolo bangene bagcwala ibhokisi kwadingeka ukuthi bame ngenxa yobuningi.

Abasolwa baboshwe bengu-21 kodwa izolo bavele sebengu-20. Isolezwe lithole ukuthi ahoxisiwe amacala kumsolwa oyedwa.

Umshushisi uNkk Raeesan Badul akachithanga sikhathi kuqala icala uthe ucela lihlehle izinsuku eziyisikhombisa.

Abameli babasolwa basukume bakuphikisa lokhu.

UNkk Yolanda Gielink omele abasolwa abayisishiyagalolunye no-Advocate Paul Joggenson obemele abangu-11 bakuphikisile lokhu bathi umbuso kumele uveze izizathu zokuthi kungani laba kumele balinde lezi zinsuku eziyisikhombisa.

Bathe umthetho uthi isicelo sebheyili kumele basifake zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa awusho ukuthi kumele kuhlehliswe izinsuku eziyisikhombisa noma singekho isizathu.

UNkk Badul uthe abasolwa ababili banecala abalihambayo lokuzama ukubulala KwaDukuza kanti abahlanu kunezincwadi ezigunyaza ukuba baboshwe eGoli.

Uthe umphenyi udinga isikhathi sokuyoqinisekisa amakheli abasolwa njengoba abanye babo bebhalise awaseNkandla, eRichards Bay nelaseNdwedwe.

Uthe umphenyi akakwazi ukuhamba zonke lezi zindawo ngosuku olulodwa uzodinga isikhathi ngoba ngezimpelasonto akasebenzi.

Imantshi uMnuz T Govender uthe ubona kuwukwenza ubulungiswa ukuthi avumele umbuso ukuthi wenze konke odinga ukukwenza, icala lize libuye emuva kwezinsuku eziyisikhombisa.

Uthe akukho noyedwa wabasolwa olethe incwadi efungelwe ekhuluma ngesimo sakhe sempilo.

Uthe laba basolwa baboshwe ngaphansi kwezimo lapho bezame khona ukubulala amaphoyisa kanti futhi baningi, akulula ukuthi kuvele kwenziwe isicelo sebheyili nje.

UGovender ulihlehlisele uFebhuwari 9 icala ukuze kuqhubeke uphenyo nokuthi umbuso ucacise ukuthi uyanqaba noma uyavuma yini ukuthi banikwe ibheyili. Ubeke uFebhuwari 16 no-17 ukuthi bafake isicelo sebheyili.

Umsindo ngesokuvalwa ‘komalume’

$
0
0

Babhoka bayakhahlela abazali KwaZulu-Natal ngesiphakamiso sokuvalwa kwamaveni ezikoleni.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

BABHOKA bayakhahlela abazali KwaZulu-Natal ngesiphakamiso sokuvalwa kwamaveni ezikoleni, bakhala ngokuthi abanalo olunye uhlelo abangalusebenzisa ukuthutha izingane zabo uma ziya ezikoleni.

Inhlangano emele abazali i-KZN Parents Association ithe yize bekhathazekile ngezingozi zamaveni ezithinta abafundi kodwa azikho ezinye izindlela zokuthutha abafundi okuholela ekutheni bagcine besebenzisa wona.

Ukubhoka kwabazali kulandela inkulumo kaNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Senzo Mchunu ayenze emngcwabeni wabafundi abayisithupha ngeSonto, lapho etshele abazali ukuthi kuzomele bathathe izinyathelo ezinqala ngamaveni athutha abafundi.

Lokhu bekungekhona okokuqala njengoba naphambilini uhulumeni eke waphakamisa ukuba avalwe amaveni ekuthutheni abafundi.

USihlalo wale nhlangano yabazali uMnuz Vee Gani izolo utshele Isolezwe ukuthi abazali bathembele kula maveni ngoba bengenakho okunye abangakusebenzisa ukuthutha abafundi.

“Ngicabanga ukuthi kulula nje ukuvele uthi amaveni awayeke ukuthutha izingane zesikole. Kumele uma eyekisa amaveni kube nolunye uhlelo lokuthi abazali belusebenzise ukuyisa abafundi esikoleni.

“Amabhasi abafundi awekho. Kumanje abazali bahambisa izingane ngamaveni ngoba bephoqelekile, ayikho enye indlela yokuthutha abanayo ngaphandle kwayo lena,” kusho uMnuz Gani.

“Ukuvalwa kwamaveni ukufanise nokufakwa kwendwangu phezu kwenxeba lenhlamvu ingakhishiwe.

“Asiqhamuke nesisombuluko esizohlomulisa wonke umuntu. Sidinga amabhasi azothutha abafundi.

“Kumele sibhekele nekusasa ukuthi yikuphi okungasisebenzela. Yebo kuwumsebenzi womzali ukuqinisekisa ukuthi ingane yakhe iphephile uma iya esikoleni kodwa akabe nezokuthutha ezihlukene angakhetha kuzo.

“Ngaphandle kokuba nohlelo olusebenzayo lokuthuthwa kwezingane zesikole abazali nabafundi abakwazi ukukhetha ngaphandle kokuphephela kuwo amaveni,” kusho uGani.

Uthe yize amaveni eqhubeka nalo msebenzi kumele aqikelele ukuthi abashayeli baqeqeshwa ngendlela efanele babe nezincwadi zokushayela nezokuthutha abantu. Uveze nokuthi amaveni kumele abe sesimweni esihle sokuba emgwaqeni.

UNkk Thokozile Luswazi ongugogo wamawele (uLuyanda no-Uyanda Luswazi) aseFezokuhle Primary asinde kule ngozi uthe namanje kusaduma ikhanda ukuthi uzobayisa ngani esikoleni.

“Uma kungayekiswa amaveni ukuthutha izingane sizothwala kanzima ngoba sithembele kuwo. Kumanje nje amawele asazi ukuthi azohamba ngani uma esebuyela esikoleni. Sisazozama ukucela osomatekisi ukuba bangenelele ngoba asazi soshonaphi,” kushi uNkk Luswazi.

UMnuz Botsotso Mahlaba okhulumela isigungu esimele abazali eFezokuhle ukhale ngokuthi kusenzima kubazali ukuthola enye indlela yokuthutha abafundi.

“Ngicabanga ukuthi sizobheka yena uhulumeni ukuba asinikeze olunye uhlelo lokuthutha abafundi, ukuze sizokwazi ukuphuma ekusebenziseni amaveni,” kusho uMnuz Mahlaba.

Imizamo yokuthola abamele imboni yabamatekisi e-KZN ukuba baphawule ayiphumelelanga njengoba ucingo lukasihlalo weSantaco beluvaliwe.


IKhomishini iphenya olwaseMlokothwa

$
0
0

Seluphenya yiKhomishini yamalungelo esintu udaba lwenhlalo engeyinhle yabafundi baseMlokothwa High, KwaNongoma.

|||

MHLENGI SHANGASE

SELUPHENYWA yiKhomishini yamalungelo esintu, iHuman Rights Commission udaba lwenhlalo engeyinhle yabafundi baseMlokothwa High, KwaNongoma.

Iqembu eliphikisayo i-DA yayisa lolu daba kule Khomishini ngesikhathi ifica isimo esingesihle kulesi sikole ngesikhathi amalungu esiShayamthetho evakashele izikole eyobheka ukuthi zivulwe kahle ngenyanga edlule.

Abaholi be-DA esifundazweni bamangalela uNgqongqoshe wezeMfundo uNkk Peggy Nkonyeni kule Khomishini bekhala ngesimo abasifice kulesiya sikole. Baze bamvulela necala emaphoyiseni.

Isolezwe selike labika ngezinkinga kulesi sikole njengoba kuthiwa ezinye izindlu azinazo izicabha, uphahla lubhodlokile kanti nesimo sezindlu zangasese azigculisi.

Ilungu lesiShayamthetho le-DA, uMnuz Hlanganani Gumbi, lithe lithole isiqinisekiso kule khomishi-ni ukuthi iyaluphenya lolu daba.

UGumbi uthe babhalele ngisho nosihlalo wesigungu esilawula lesi sikole befuna kwenziwe uphenyo mayelana nokusebenza kwezimali kulesi sikole.

Okhulumela le khomishini, uMnuz Isaac Mangena ukuqinisekisile ukuthi basitholile isikhalazo ngalesi sikole. Uthe basithole ngo-Januwari 28 nonyaka wathi simaye-lana nesimo esingesihle abafundi abahlala ngaphansi kwaso.

“Kukhalwa nangokujivazwa kwamalungelo abafundi ezintweni ezithinta amanzi nenhlanzeko. Siyasibheka lesi sikhalazo ngombono wokuthi sisiphenye,” kusho uMangena.

Okhulumela uNkk Nkonyeni, uMnuz Isaac Luthuli, uthe bayalwamukela uphenyo lwale khomishini.

Uthe bayazi ngezingqinamba za-kulesi sikole wathi basezinhlelwe-ni zomnyango zokuthi silungiswe.

Ukhale ngokuthi indaba ethinta inhlanzeko yesikole ngeke kugxe-kwe uNgqongqoshe ngayo ngoba kunethimba labaphathi nothisha-nhloko.

“Siyanxusa kubazali ukuthi njengoba kuzokhethwa izigungu zabazali kulo nyaka ukuthi zikhethe abantu abakhathalele imfundo nezingane zabo.

“Ziningi izinto ezincane nje okumele zenziwe yisigungu sabazali okuthinta indaba yokulungiswa kwamawindi, izicabha nokunye okungadingi uNgqongqoshe. Abazali nabo ababe nentshisekelo yokuthi bazi ukuthi izimali abazikhokhayo zisebenza zenzeni,” usho kanje.

Unxuse ne-DA ukuthi ibasize iye kwezinye izikole ivulele amacala labo abeba impahla yesikole.

“I-DA ayiye nakwezinye izikole isisize ngokuthi ivulele amacala labo abasabalalisa iwunga, abeba amadeski kanye nempahla yesikole.

“Lokhu kuzosiza ngoba imfundo akuyona eyomnyango kuphela kodwa ngeyawo wonke umuntu,” usho kanje.

Bahoxise ibheyili abasolwa ngokufa komfundisi

$
0
0

Bahoxise ukufaka isicelo sebheyili abasolwa ababili ababhekene necala lokubamba inkunzi nokubulala uNKK Viictoria Mahlalempini owagwazwa amanxeba angu-21.

|||

BAWINILE NGCOBO

BAHOXISE ukufaka isicelo sebheyili abasolwa ababili ababhekene necala lokubamba inkunzi nokubulala unina kasomabhizinisi owakha umuzi kaMengameli Jacob Zuma waseNkandla.

UNkk Victoria Mahlalempini (65), ngunina kaNkk Thandeka Nene wayenguMfundisi, wagwazwa amanxeba angu-21 phambi kwezingane zakhe esemzini wakhe eNagina, eMariannhill lapho ashonela khona.

UNkk Mahlalempini wahlaselwa ngezithuba zawo-10 ebusuku ekhulekela umndeni wakhe.

Abasolwa bathatha iTV, upiyano lwasesontweni nezinye izinto endlini base behamba nemoto yakhe iToyota Corolla eyabuye yatholwa inabasolwa abane phakathi, ababili ahoxiswa amacala kubo.

Izolo kuvele enkantolo yeMantshi ePinetown uMnuz Thamsanqa Moses Dlamini (30) noThandukwazi Charles Dludla (23) lapho bekulindeleke ukuba bafake isicelo sebheyili.

Laba balaxazwa ngummeli wabo ngenyanga edlule ngesikhathi bevele kuyo le nkantolo kanti izolo bese benommeli omusha wamahhala uNksz Zinhle Mashaba.

UNksz Mashaba uvezele inkantolo ukuthi abasolwa bayahoxisa ukufaka isicelo sebheyili kanti azikho izizathu azibekile ukuthi kungani behoxa.

Bebuzwa abasolwa ukuthi bayahambisana yini nokushiwo ngummeli wabo, bavumile. Icala labo libe selihlehliselwa uMashi 18 ukuze kuqhubeke uphenyo.

Enkantolo ubekhona uNkk Nene ehamba nezihlobo namalungu ebandla likaNkk Mahlalempini iPower of God Ministries ebelinamagatsha KwaZulu-Natal nase-Estern Cape.

Khonamanjalo kule nkantolo kuvele uMnuz Mthobisi Brian Kubheka (23) osolwa ngokubulala ingane enezinyanga ezingu-18, uSimphiwe Gasa Gwamanda okuthiwa wathola ukuthi kwakungeyona eyakhe futhi isitifiiketi sayo sokuzalwa sasibhalwe isibongo senye indoda yena ekubeni wayazi ukuthi unguyise wayo.

UKubheka wahoxisa ukufaka isicelo sebheyili kanti icala lakhe lihlehlisilwe uMashi 24 ngoba kusalindwe umbiko ngokuhlolwa kwesidumbu sengane.

UKubheka ubhekene nanecala lokushaya unina wale ngane uNksz Lungile Gasa, okuthiwa wamshaya ngempama ngosuku lwesigameko ngo-Okthoba nyakenye.

Bakhalele abafundi abazali bevala isikole

$
0
0

Abomnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal bathi bakhathazekile ngabazali abagasela ezikoleni bavale amasango bagodukise nabafundi uma kukhona abangagculisekile ngakho.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

ABOMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal bathi bakhathazekile ngabazali abagasela ezikoleni bavale amasango bagodukise nabafundi uma kukhona abangagculisekile ngakho.

Sekukaningi Isolezwe libika ngezigameko zokuvalwa kwezikole ezingxenyeni ezihlukene KwaZulu-Natal okusuke kwenziwa iqulu labantu elisuke lizibiza ngabazali babafundi.

NgoLwesibili leli phephandaba libike ngokuvalwa kweNsizwakazi Primary eKlaarwater ngabazali abebefuna kuxoshwe iphini likathishanhloko elisolwa ngokudla imali yesikole.

Izolo kuphazamiseke ukufunda eSiphethwini Primary School eMlazi ngesikhathi iqulu labantu elizibiza ngabazali ligasele esikoleni likhipha abafundi emakilasini likhala ngokushoda kothisha.

Kuphoqeleke ukuba abafundi babuyele emakhaya kulandela lesi sigameko esenziwe ngabebezibiza ngabazali, abagcine sebefuna zikhulu zoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal zizochaza kabanzi ngokuthi kungani lesi sikole singahlinzekwa ngothisha abanele.

Okhulumela uMnyango KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Mlotshwa uthe bakhathazekile ngokuthi abantwana bayalimala ngokungafundi ngenxa yabazali.

“Sikhathazekile kakhulu ngabafundi abalahlekelwa yisikhathi sokufunda ngenxa yale nkinga.

“Sicele izikhulu zezemfundo eMlazi ukuba ziqinisekise ukuthi le nkinga ekulesi sikole iyaxazululwa. Sinxusa nabazali ukuba basebenzisane nathi ekutholeni isisombuluko,” kusho uMnuz Mlotshwa.

Abazali baseSiphethwini bathe kulesi sikole uGrade 5 kuya kuGrade 7 abakaze befunde selokhu kwaqala unyaka ngenxa yakho ukushoda kothisha.

Bathe isikole sishodelwa othisha abayisithupha kulaba abangu-13 abakhona.

Iphini likasihlalo wesigungu sabazali kulesi sikole uNkk Wendy Mvubu obekunguye obevulela abafundi izicabha ethi mabaphume ukhale ngokuthi kade bekhala bengalalelwa.

“Siyasivala isikole kusukela namhlanje kuze kube uMnyango usilethela othisha. UGrade 5 kuya ku Grade 7 bahlezi selokhu kuqale unyaka abafundi ngoba othisha bengekho.

“Izingane zethu ziyakhala zifuna ukufunda. Kusukela namhlanje ayikho ingane ezofunda kuze kube izikhulu zoMnyango ziyayixazulula le nkinga esibhekene nayo,” kusho uNkk Mvubu obevutha engabaselwe.

Kuvele ukuthi abazali kusukela ngo-2013 becela uMnyango ukuba uqashe othisha kodwa akukaze kwenzeke lokho.

“Yindaba endala lena yothisha, kade sasiyikhuluma sithenjiswa kodwa kungabi bikho okwenzekayo.

“Manje siyabona ukuthi kumele senze lokhu ukuze bezokwazi ukusukuma. Sesikhathele ukuxoxa nabo ngoba awukho umphumela ,” kusho uMnuz Patric Mncwango naye oyilunga le-SGB.

Umthombo wangaphakathi esikoleni ongathandanga ukudalulwa uthe izinkinga zabo ziqale ngesikhathi othisha ababengabasizi kulesi sikole sebeduba ukusebenza.

“Othisha ababili balesi sikole bebesebenza belekelela isikhathi eside bethenjiswa ukuqashwa okugcine kungenzekanga. Bathe sebeduba ukusebenza kwaqala kwavela obala ukuthi othisha abanele.

“Labo thisha bagcine sebeqashwa kwezinye izikole izingane zasala zodwa. Kumanje vele izingane azifundi ngenxa yakho ukushoda kothisha. Abakwazi ukufundisa zonke izifundo bangene kuwo wonke amakilasi laba abakhona,” kusho umthombo.

Umfundi okhulume neSolezwe othe ufunda uGrade 5 ukuqinisekisile ukuthi selokhu uqalile unyaka abakaze bafunde.

Uninakhulu womunye umfundi uNkk Salukazi Mbonambi uthe umzukulu wakhe uhlezi ekhala efuna ukuphuma kulesi sikole ngenxa yokuthi akufundwa.

Uthe kunzima ngoba akanayo imali yokumgibelisa amatekisi kwazise kulesi sikole uhamba ngonyawo uma eya khona.

Uthe bathwele kanzima ngenkinga yothisha abafuna ixazululwe maduzane.

Basinde kutholana ibhasi, itekisi neveni

$
0
0

Kulimale abantu abangu-16 izolo ekuseni ngesikhathi kushayisana ibhasi, itekisi neveni eVerulam.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

KULIMALE abantu abangu-16 izolo ekuseni ngesikhathi kushayisana ibhasi, itekisi neveni eVerulam.

Kuthiwa le ngozi yenzeke ngezithuba zawo-7.30 ekuseni emgwaqweni, uTodd Street.

Okhulumela abakwaReaction Unit South Africa, uMnuz Prem Balram, uthe babizelwe kule ndawo bafica ibhasi, itekisi ebeligcwele abagibeli neveni i-Opel Corsa kushayisene, kulimele abanye abantu.

Uthe umgwaqo ophakathi kwe-Verulam nasesibhedlela oSindisweni uke wavalwa ngesikhathi abezimo eziphuthumayo besiza abebelimele.

UBalram uthe abebelimele babafice begcwele umgwaqo bopha kanti abangu-16 kubo bebelimele kanzima.

Uthe kule ndawo yesigameko kufike abezimo eziphuthumayo bezinkampani ezehlukene abebesizana ukusiza abebelimele.

UChris Botha wakwa-Netcare 911 uthe izicishamlilo zifike abanye besabhajwe ngaphakathi etekisini babe sebebasiza, babakhulula.

Kulaba abalimele bekukhona nowesifazane oneminyaka engu-17 obekhulelwe obesebhasini.

Umsizi kamshayeli wetekisi kuthiwa uthuthelwe esibhedle-la, eChief Albert Luthuli ngendiza enophephela emhlane ngoba ubelimele kakhulu kanti abanye bathuthelwe esibhedlela oSindisweni.

Kuthiwa umshayeli wetekisi ubemi eceleni komgwaqo elayisha abagibeli ngesikhathi kuqhamuka ibhasi lishayisa itekisi eceleni layiphusha ibanga elingamamitha angu-100 ngaphambi kokuthi ishayise iveni iCorsa.

Kusazokhalwa ngesomiso eKZN

$
0
0

Asikazukuphela isomiso KwaZulu-Natal njengoba nemvula ebina ezinsukwini ingenzanga mehluko otheni emadanyini amanzi.

|||

BONISWA MOHALE

ASIKAZUKUPHELA isomiso KwaZulu-Natal njengoba nemvula ebina ezinsukwini ingenzanga mehluko otheni emadanyini amanzi. Uhulumeni ubeke u-R352.4 million ukulwa nale ngwadla.

Esithangamini nabezindaba ebesiseDube City, eThekwini, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uNkk Nomusa Dube-Ncube, udonse ngendlebe abantu ukuba bonge amanzi ngoba amadamu nemifula akugcwele ngokwanele futhi imvula ayini ngendlela egculisayo.

Uthe umonakalo osuwenzekile kwezolimo ubalelwa ku-R400 million.

“Imifula ayinawo amanzi enele, eminye yomile. U-80% wamanzi udonswa ekujuleni komhlaba nakhona awasekho sekumele sigubhe emathunjini awo ngenxa yesomiso. Idamu i-Hazelmere ehambisa amanzi eNdwedwe, KwaDukuza, eMhlali, eBallito, eVerulam nakwezinye izindawo eziseNyakatho yeTheku aligcwele izinga lamanzi liku-37.5%. Sikhathazekile nge-Hazelmere ngoba uma imvula ingananga amanzi ehla ngo-1% emuva kwezinsuku eziyisikhombisa. Esifundeni Ugu nakwiLembe yizona zindawo ezikhahlemeze kakhulu. Yingakho size namasu okulwa nesomiso,” kusho uDube-Ncube.

Uthe izangoma zezulu zilindele imvula egculisayo ngasekupheleni kukaFebhuwari kuya kuMashi kodwa okwamanje abantu baKwaZulu-Natal basazoba senkingeni yokunqanyulelwa amanzi.

Sezizonke izindawo ezikhahlanyenzwe yisomiso kubalwa Umkhanyakude, uThungulu, Ilembe, Zululand, Umgungundlovu, Harry Gwala, Umzinyathi noThukela. UNgqongqoshe uthe yincane imvula kunelindelekile kulezi zindawo.

Uthe imali yokulwa nesomiso bayabelwe nguNgqongqoshe waManzi nokukhucululwa kwendle uNkk Nomvula Mokonyane emuva kokumbikela ngomonakalo osuwenzekile.

Ube eseveza ukuthi banezinhlelo zesikhashana, ezesikhathi eside nezokuthola isixazululo esizoqinisekisa ukuthi iKwaZulu-Natal ihlala inamanzi.

Phakathi kwalezo zinhlelo kubalwa ukunqanyulwa kwamanzi ngezikhathi ezithile, ukuthumela izimoto ezithwala amanzi, ukufakwa kwamathangi akhongozela amanazi, ukuthengwa kwama-generator azompompa amanzi emadamini, ukulungiswa kwengqalasizinda, ukufundisa umphakathi ukonga amanzi, ukuthuthukiswa kwezindawo ezihlanza amanzi, ukusetshenziswa kwezindlela zakudala zokuhlanza amanzi ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.

Kuzophinde kubholwe umhlaba ukuze kudonswe amanzi emathunjini, kulungiswe nezinqolobane eziwagcinayo kwakhiwe namadamu amasha.

Uthe unethemba lokuthi izinhlelo ezintsha abale kuzo i-Lower Tugela Supply Scheme ezoqedwa ngoMashi 2016 zizosiza. Luyaqhubeka nocwaningo lokwakha isikhungo esizokhuculula amanzi asolwandle siwenze alungele ukuphuzwa ngabantu.

Kusukela namhlanje abantu abasavumelekile ukuwasha izimoto zabo ngamapayipi kumele basebenzise amabhakede, bangagcwalisi o-swimming pool bafunde nokusebenzisa amanzi kaningi ngaphambi kokuwachitha.

Abangayilandeli le mithetho bazohlawuliswa njengoba oMasipala bezothumela abazoqapha ukongiwa kwamanzi ezindaweni ezahlukahlukene.

Uphethe ngokuthi bayajabula ukuthi uhulumeni ufake u-R10 million ukusiza abalimi nomphakathi waseKokstad nezinye izindawo ezakhele uMasipala i-Harry Gwala ezakhahlanyezwa wumlilo wequbula nyakenye.

IMeya yeTheku uMnuz James Nxumalo ithe bazoqhubeka nokuqapha isimo eHazelmere kanti namanzi azoqhubeka nokunqanyulwa. Ngabasalinde ukufakelwa amanzi uNxumalo uthe ababakhohliwe bakhona esabelweni sezimali sikaMasipala futhi unethemba lokuthi azofinyelela ezindaweni eziningi.

Beseka uDe Klerk kolomgwaqo

$
0
0

UMnuz FW de Klerk uthi akafuni ukuzixaka kakhulu ngomsindo osuke eWestern Cape ngokuqanjwa komgwaqo ngegama lakhe.

|||

MARIANNE MERTEN

OWAYENGUMENGAMELI wakuleli uMnuz FW de Klerk uthi akafuni ukuzixaka kakhulu ngomsindo osuke eWestern Cape ngokuqanjwa komgwa-qo waseCape Town ngegama lakhe.

“Angifuni lokhu kungiphazamise,” utshele abe-Independent Newspapers kanje izolo.

Naloyo owake waba nguMengameli wakuleli uMnuz Kgalema Motlanthe noMengameli we-IFP uDkt Mangosuthu Buthelezi bamesekile uDe Klerk kolokhu kuqanjwa komgwaqo ngaye ngesikhathi kugujwa iminyaka engu- 25 yokubunjwa kwesizwe sakuleli nge-muva kokukhululwa kwamaqembu ezepolitiki akuleli nokukhululwa kukaMnuz Nelson Mandela, okwamenyezelwa nguDe Klerk ngoFebhuwari 2, 1990.

“Uma bekucelwe ukuthi ngiphawule ngalokhu bengizokweseka ukuqanjwa komgwaqo ngoFW de Klerk,” kusho uMotlanthe engeza ngelokuthi ingqalabutho yezomzabalazo uMnuz Ahmed Kathrada wenze kahle ngokuphumela obala eseke uDe Klerk.

Embonweni weDaily Maverick ophume ekuqaleni kwaleli sonto, uKathrada uthe wayejwayele ukungavumelani noDe Klerk, “kodwa ukube kwakungena uDe Klerk owa-thatha izinqumo ezinqala ngabe sa-qhubeka nokugqunywa ejele okuyinto eyayingadala izinkinga kuleli”.

Umsindo uqale ngemuva kokuphakanyiswa kokuthi kuqanjwe umgwaqo waseCape Town obizwa ngeTablebay Boulevard ozobizwa ngoDe Klerk, ko-dwa isinqumo somkhandlu kamasipa-la waseCape Town asikaphasiswa ngemuva kwezinkonondo.

UButhelezi uchaze ukugxekwa kwalesi sinqumo njengehlazo, ethi uDe Klerk kumfanele ukuthi ahlonishwe ngeqhaza lakhe kuleli.

Bavivinya ukuvala utshwala kubashayeli

$
0
0

Abashayeli kungenzeka baphoqeleke ukuthi bangathinti ngisho iconsi lotshwala ngaphambi kokushayela.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

ABASHAYELI kungenzeka baphoqeleke ukuthi bangathinti ngisho iconsi lotshwala ngaphambi kokushayela.

Lona wumthetho ohlongozwa umnyango wezokuthutha ohlose ukuqeda umkhuba wabashayela bephuzile.

Abaholi baseNingizimu Afrika okubalwa kubo uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi (osesithombeni) bebelokhu bephakamisa ukuthi abashayeli bangabuthinti utshwala ngaphambi kokungena emgwaqeni.

Ukukhipha lo mthetho sivivinywa ukuthi ubhekwe wumphakathi kuveza ukuzimisela kwabo ekutheni lokhu kugcine kwenzekile.

Lo mthetho uphakamisa ukuthi kungabibikho umuntu kuleli otholakala eshayela imoto uphuze utshwala noma esebenzise izidakamizwa. Okunye okungamukelekile ukuhlala esihlalweni somshayeli imoto iduma kube kunamazinga athile otshwala atholakele emzimbeni wakho.

Okwamanje umthetho wakuleli uvumela abantu ukuthi babe namazinga angu-0.0g otshwala ku-100 ml wegazi noma u-0.02/100ml kwabasebenza umsebenzi wokushayela.

Ngokusho kombiko wenhlangano yomhlaba yezempilo iWorld Health Organisation Global Status Report on Road Safety 2013 balinganiselwa ku-31.9 abantu abashonayo kwabangu 100 000 kuleli.

Izinhlangano ezexwayisa ngobungozi botshwala zisamukele lesi siphakamiso.

Inhlangano iSouth Africans Against Drunk Driving (SADD) ithe kuzoba lula ukuthi abashayeli baluqonde olokungaphuzi futhi kuyadingeka lokhu eNingizimu Afrika. Baxwayise ngokuthi akwenele lokhu. UNkk Caro Smit we-SADD uthe ukushintsha umthetho ngamazinga otshwala akusho ukuthi abantu bazoyeka ukushayela bephuzile.

“Lo mthetho kufanele ufakwe ngendlela futhi kufanele kube yinto evamile ukuhlolwa kwabashayeli. Kuzodingeka ukuthi kube neminingwane ebhalwe phansi eqinile ezokwazi ukusetshenziswa uma kufanele kuyiwe enkantolo. Kufanele nesikhathi sokuvela enkantolo sisheshe,” kusho uNkk Smit.

Uthe izibalo zabashayela bephuzile ziyokwehla mhla kwanda abajeziswayo futhi kube nezijeziso eziqinile kwabatholakala bekwenza.

UNkk Smit ubalule ukuthi amazinga okuphuza ehliswa eminyakeni engu-15 eyedlule kodwa namanje izibalo zabashona nabalimala ezingozini zisaqhubeka nokunyuka.

Enye inhlangano iJustice Project SA yexwayise ngokuthi umthetho kungenzeka ufake ecaleni abantu abangenacala.

Usihlalo wale nhlangano uMnuz Howard Dembovsky uthe abanye abantu bazoke batshelwe ukuthi baphuzile ngenxa yamaphutha angenziwa yimishini.

Uthe izithelo ezithile zenza kube sengathi umuntu uphuzile ngenxa yokuthi zinamazinga athile otshwala. Uveze nokuthi abantu abanesifo sikashukela basengozini yokuboshwa ngephutha ngenxa yamazinga aphansi kashukela edala ukuthi babe ne-acetone uma bephefumula.

UDembovsky uthe kuzoba nezinkinga ezifanayo nakubantu abazobe bephuze imithi okubalwa nowomkhuhlane.

Uthe akucaci kahle ukuthi kuzosiza kanjani ukufaka umthetho ovimba ukuphuza ikakhulu njengoba ukungafiki ngesikhathi kwemiphumela yegazi kuyisizathu sokungajeziswa kwabantu. Kusanda kubikwa ukuthi isikhungo sokuhlola igazi esakhiwayo sizosiza ekutheni kusheshe isikhathi sokutholakala kwemiphumela yegazi kwabasuke besolwa ngokuphuza.

Umphathi wezinhlelo zokuhlolwa kwegazi nolunye uketshezi uDkt Mandla Mazizi uthe lesi sikhungo okulindeleke ukuthi sibe ngesesine kuleli kungenzeka siqale ukusebenza ekupheleni kwale nyanga. Lo mthetho sivivinywa utholakala naku: www.gov.za. Usazodingidwa nasePhalamende.


AbaKwaXimba bethule izikhalo ku-ANC ngemashi

$
0
0

Ungene kwelinye izinga umsindo ngesikhundla sikaSihlalo we-ANC esifundeni saseThekwini.

|||

CELANI SIKHAKHANE

UNGENE kwelinye izinga umsindo ngesikhundla sikaSihlalo we-ANC esifundeni saseThekwini ngesikhathi amalungu ale nhlangano ku-ward 1 KwaXimba emashela uNobhala wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala (osesithombeni), ekhala ngesinqumo sokuthi kuthiwe umhlangano wega-tsha labo wahlala ngempu-melelo yize kwasuka izibhelu abanye balimala kwakhona abagcina bengakwazanga ukungena.

Izolo la malungu egatsha laKwaXimba athukuthele ami-sa ukusebenza ehhovisi elikhulu lesifundazwe le-ANC iDr Pixely ka-Isaka Seme House, eThekwini egxeka uZi-kalala. Bamkhombe ngenjumbane ngoku-thi kumele lolu daba alusukumele ngoba kabeneme ngesinqumo esithathiwe ngalo.

Abamashi bagasele kula mahhovisi kungazelelwe njengoba nabezindaba baze baziswa ngesikhathi sebenga-phandle bethi balinde izimpe-ndulo kunobhala wesifundazwe.

Kwenzeka lokhu nje kusa-cwebe iziziba ngokuthi izoba nini ingqungquthela yokukhe-tha ubuholi besifunda iTheku esihlehle izikhathi eziningi.

Imashi yayizolo ikhombise ngokusobala ukuthi izinto zisemapeketwane futhi kubonakala kusazoba nzima ngokuqagula ukuthi ingqungquthela ingase ibe khona nini.

Emhlanganweni wangonyaka odlule KwaXimba kwakujutshwe uNkk Zandile Gumede ukuthi ayoqapha ukuqhubeka komhlangano nokwabe sekusuka izidumo amalungu exabana wodwa ethukana abanye bethi akahambe uNkk Gumede ngoba ugaqele isikhundla sokuba ngusihlalo kwaze kwabakhona abalimalayo omunye wagxotshwa ngemoto.

Ngesonto eledlule iProvincial Working Committee (PEC) ikhiphe isinqumo esigunyaza leli gatsha ukuthi umhlangano walo wangalolo suku waba yimpumelelo kanti bekuhlelwe ukuthi likhiphe izithunywa ezingu-11 ebezizolimela engqungqutheleni yesifunda.

UMnuz Msawenkosi Ngubane obehola imashi uthe akukwazi ukuthi kungathiwa igatsha laKwaXimba umhlangano walo waba yimpumelelo ekubeni kwaziwa ukuthi kwaba nezinkinga.

“Empeleni thina kuyafana nokuthi sizilile ngoba igatsha lethu lebiwa ngakho asifuni nokuyizwa lena yokuthi ku-zophuma izithunywa kulo ezizohambela ingqungquthe-la ngoba asazi ukuthi zizobe zivelaphi ekubeni umhlanga-no ungazange ube yimpume-lelo,” kusho uNgubane

Uthe uma uZikalala ehluleka ukusukumela isikhalo sabo ngokushesha bazoluthatha udaba baludlulisele eLuthuli House ukuze lusingathwe ezingeni likazwelonke.

Laba abakhalayo baziwa ngokuthi beseka uMnuz James Nxumalo oyiMeya yeTheku abafuna athathe izintambo zokuba ngusihlalo we-ANC eThekwini.

Labo abeseka uNxumalo bakhononda ngokuthi njalo uma kuhlala amagatsha eseka uNxumalo imihlangano iyahlakazwa kuthiwe inezinkinga.

Amagatsha okunezikhalo zokuphazanyiswa kwawo kubalwa uward-77 okuthiwa uZikalala wakhipha umyalelo wokuthi awuhlakazwe umhlangano wakhona ngoba sekumnyama kwaxoshwa nesigungu sakhona esiphezulu. U-ward-14 nawo okuthiwa kwamiswa ukuhlala kwawo kwathiwa isigungu sawo esiphezulu siyesaba ukuthi sizohlukunyezwa.

U-ward 99 wona kuthiwa kwanele kwavotwa kwaqhamuka abantu abavimba imoto eyayisihambise amaphepha ehhovisi lesifunda eThekwini bashaya umshayeli kwathathwa amaphepha acekelwa phansi. U-ward 79 wona kuthiwa kwaphuma umya-lelo wokuthi azikho izinhlelo zokuthi uhla-le ngenxa yezinkinga ezitholakale khona.

UZikalala uthe baxoxisanile nalaba bantu abebenezikhalo ngakho udaba lwabo bazolubheka njengoba ezinye izinto abakhuluma ngazo iPWC iphezu kwazo.

“Ngaphandle kwalokho thina njengesi-fundazwe asijubi abaholi bezifunda emaga-tsheni kodwa sibhekene nokuthumela abaholi besifundazwe ngoba abezifunda bajutshwa yisifunda. Azikho izinkinga ezingako ku-ward 1 ngaphandle kwalezi zikhalo asebezilethile laba abebemasha.

“Konke sizokwenza ngokwezinhlaka zangaphakathi bese siphendula ngendlela efanele kulabo abebelethe izikhalo.”

Izikhalo ngabewunga abalawula izimoto

$
0
0

Amakhansela kaMasipala weTheku asezwakalise ukukhathazeka ngabafana bewunga.

|||

MLUNGISI GUMEDE

AMAKHANSELA kaMasipala weTheku asezwakalise ukukhathazeka ngabafana bewunga ababonakala belawula ukuhamba kwezimoto uma kufe amarobhothi noma kwakhiwa imigwaqo.

Ikhansela le-ANC laku-ward 43, ofaka iNtuzuma, KwaMashu neLindelani, uMnuz Dumisani Mabizela, uthe yize bekuthokozela ukwakhiwa kwemigwaqo ngoba kuyingxenye yentuthuko kodwa kuyabakhathaza uma sebebona abafana bewunga abenza umsebenzi wamaphoyisa omgwaqo sebelawula ukuhamba kwezimto.

“Kumele amaphoyisa omgwaqo enze umsebenzi wawo ngoba siyawakhokhela. Kasithandi ukuthi uma kunesiminyaminya emigwaqweni sisizwe ngabafana bewunga ngoba babuye bakumise noma singekho isidingo ngoba befuna ukuthi bakugebenge,” usho kanje.

INhloko yoMnyango wekomidi lezokuHlaliswa kwabantu kuMasipala weTheku, uMnuz Nigel Gumede, uthe laba bafana sebeyakwazi ngisho nokuphazamisa ukusebenza kwamarobhothi khona bezolawula izimoto bazenzele imali.

Bathe sekujwayelekile ukuthi kubonakale abafana bewunga belawula ukuhamba kwezimoto uma kufe amarobhothi noma kwakhiwa imigwaqo.

Ikhansela le-DA, uMnuz Jethre Lefevre, uthe akukho emthethweni ukuthi umuntu ongesilo iphoyisa lomgwaqo alawule ukuhamba kwezimoto uma kunesiminyaminya emgwaqeni.

“Kukhona izimo lapho kusuke kwakhiwa khona noma kulungiswa umgwaqo olimele abantu abasebenza kuleyo kontileka esuke isebenza babuye basize ukulawula izimoto ukuze kungabikhona izingozi,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa kaMasipala, uSuperintendent Sbonelo Mchunu, uthe akuvumelekile ukuthi abafana bewunga balawule isiminyaminya emigwaqweni.

“Inkinga esinayo wukuthi amaphoyisa ayashoda awakwazi ukuba khona yonke indawo bese abafana bewunga bebona lelo thuba kube yibona abagcina sebelawula isiminyaminya emgwaqweni ngenhloso yokwenza imali,” usho kanje.

Uthe bayabaleka emgwaqweni uma bebona imoto yamaphoyisa ngoba bayazi ukuthi le nto abayenzayo ayikho emthethweni.

“Uyazi ukuthi imigwaqo ihlukene. kukhona ekamasipala nekahulumeni, yingakho kukhona amaphoyisa kamasipala asebenza imigwaqo kamasipala. kuphinde kube khona namaphoyisa omgwaqo asebenza imigwaqo kahulumeni. Nombutho we-SAPS nawo unalo ilungelo lokusiza emgwaqweni uma kunesidingo,” usho kanje.

Iphethe ngodlame eyabe-EFF

$
0
0

Izingane zisetshenzisiwe ukungena ezitolo zabokufika eMohlakengi embhikishweni wokukhala ngezidingo obuhlelwe i-EFF.

|||

KARISHMA DIPA noNONTOBEKO MTSHALI

IZINGANE, ezinye zazo ezineminyaka emihlanu, zisetshenzisiwe ukungena ezitolo zabokufika eMohlakeng, eRandfontein, eGoli, izolo embhikishweni wokukhala ngezidingo obuhlelwe i-EFF.

Izakhamuzi zingene emgwaqweni zishisa amathayi zagcina zishise izakhiwo ezihlanganisa umtholampilo wendawo, umtapo wolwazi, amahhovisi kamasipala kanye nomuzi wemeya yaseRandfontein, uSylvia Thebenare.

Yize izitolo eziningi zabokufika bezivaliwe ngenxa yombhikisho, izakhamuzi, kuhlanganisa nezingane, bebephume ngezinkani beyingxenye yalo mbhikisho.

Izingane zisetshenzisiwe ukungena kwezinye izitolo nokuthi kube yizo ezithatha impahla ngaphakathi ziyinike abadala. Ezinye izingane zibonakele ziqiqinga impahla emgwaqeni.

Abenhlangano elwela amalungelo ezingane, iTeddy Bear Clinic, esebenza kule ndawo bakhalile ngokusetshenziswa kwezingane.

“Uma izingane zisetshenziswa kulokhu kuzitapela kwabantu ezintweni zabokufika, sitshala imbewu embi kuzo ezosihlupha ngokuhamba kwesikhathi,” kusho okhulumela le nhlangano, uVincentia Dlamini-Ngobese izolo.

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezokuHlaliswa kwaBantu eGauteng, uMnuz Jacob Mamabolo, uligxekile udlame wakhomba i-EFF ngokulususa.

“I-EFF ibifake isicelo sokumasha sayinikeza igunya. Esikhundleni sokumasha ngokuthula bese beletha izikhalazo zabo, baqale lolu dlame.”

UMamabolo uthe ukushiswa kwezakhiwo zikahulumeni ngeke kusize ekuxazululweni kwezinkinga. “Lesi senzo ngesobugwala futhi siphikisana nentando yabantu.”

Usihlalo we-EFF eWest Rand, uNkk Christina Mabala, uthe abalandeli be-ANC abaqale umlilo. “Abanye abalandeli be-ANC baqoke ukusebenzisa leli thuba ukushisa izakhiwo nokuzitapela ezitolo zabokufika. Thina siyaziqhelelanisa nalezi zenzo zodlame,” usho kanje.

Uthe uMamabolo ubengekho ngakho akakwazi ukuqhamuka esesola amalungu e-EFF.

Basho abakuthandayo ngekaZuma yesizwe

$
0
0

Uma abaseNingizimu Afrika bengabeleseli ngokuthi uMengameli Jacob Zuma akesule esikhundleni sakhe babelesela ngokuthi insangu kumele igunyazwe ezweni.

|||

sapa

UMA abaseNingizimu Afrika bengabeleseli ngokuthi uMengameli Jacob Zuma akesule esikhundleni sakhe babelesela ngokuthi insangu kumele igunyazwe ezweni.

Lokhu kuvele ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi umphakathi waseNingizimu Afrika unikwa ithuba lokuthi usho okucabangayo ngokumele kushiwo wuZuma enkulumeni yesizwe ngesonto elizayo.

Iningi labantu kuTwitter lithe: “@PresidencyZA: Kungani insangu ingabi semthethweni ukuze kunyuke umnotho wezwe kwehle nentela bese kudedelwa iziboshwa ezigcwele emajele nasezinkantolo?# DaggaDebate# SONA2015.’’

UMnuz Mario Oriani Ambrosini obeyilungu leNkatha Freedom Party ePhalamende, owabulawa wumdlavuza nyakenye, wayegqugquzela ukuthi kusetshenziswe amanye amakhambi okulapha umdlavuza kubalwa nensangu.

Bebebaningi nabebefuna ukuthi uZuma ehle esihlalweni sobuMengameli kuTwitter.

U-@CJSteyl ubhale ukuthi: “Ngaphambi kokuthi ngilale ngifuna ukukhumbuza u-@PresidencyZA ukuthi akubale ukwesula kukaZuma enkulumeni yesizwe. Ngiyabonga.’’

Omunye ozibiza ngo-@mzukisij uthe: “UZuma kumele esule ngaphambi kwenkulumo yesizwe, mhlawumbe izakhamuzi ezingadiniwe zizomthethelela.’’

U-@Matheb_Ohms uthe: “@PresidencyZA enkulumeni yakho yesizwe sicela usitshele ukuthi uzoyikhokha nini imali nanokuthi uzokwesula nini esikhundleni sakho.’’ Ekhasini likaFacebook loMnyango weHhovisi likaMengameli abangu-1 277 babeke imibono yabo.

Abaningi bebethi uZuma akesule esikhundleni bese ekhokha imali eyasebenza ngesikhathi kwakhiwa umuzi wakhe oseNkandla, KwaZulu-Natal.

KuFacebook, ozibiza ngoComrade Kamogelo Ramoloto ubhale ukuthi: “Mengameli sitshele ukuthi ngabe le mali uzoyikhokha kheshi, ebhange noma uzoyifaka eMoney Market yaseShoprite. Ngikhuluma ngemali eyakha umuzi wakho oseNkandla. Okungaba yisipho sami seValentine yincwadi enginganikwa yintombi yami evela kuwena yokwesula esikhundleni sakho.’’

UDitshepiso Promise Mapaila uthe: “Engikucela kuyena nje wukuthi aSindiswe bese ecela kuMdali amthethelele nasesizweni aphinde asichazele ngemali yomuzi wakhe nanokuthi uzoyikhokha kanjani emuva kwalokho bese eyasula esikhundleni.’’

Kodwa-ke akusibona bonke abafuna uZuma esule esikhundleni.

UTsiane Dithebe ucele izakhamuzi zakuleli ukuthi zihloniphe uMengameli wezwe.

“Ngiyanxusa ukuthi simhloniphe uMengameli wezwe. Angifuni ukuphawula ngakumele akusho… akahlonishwe.”

Ingwandla kumiswa othisha abangu-1 000

$
0
0

Othisha abangaphezulu kwenkulungwane banqanyulelwe izinkontileka zabo.

|||

MHLENGI SHANGASE

Ngenxa yokuqonga kwezinkinga eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal othisha abangaphezulu kwenkulungwane banqanyulelwe izinkontileka zabo.

Othisha abayitoho abanqanyulelwe izinkontileka abazange bahole ngenyanga edlule.

ISadtu kulesi sifundazwe ithi umnyango kumele ubakhokhele ngokushesha othisha.

Ngenxa yokwentula imali ugcine umemezele ukuthi ezinye izinhlelo, okubalwa kuzo nokwakhiwa kwezikole, uzozimisa.

Abanye osonkontileka okubalwa nalabo abaphakela izikole bakhala mihla le ngokungakhokhelwa kodwa bebe sebewenzile umsebenzi.

Esithangamini nabezindaba eThekwini izolo, uNobhala weSadtu, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe babikelwe ngamalungu abo ukuthi umnyango unqamule izinkontileka.

Uthe uma beya emahhovisi omnyango bathola ukuthi inkinga wukuthi uma kusayinwa izinkontileka kumele kube nesikhathi sokuqala umsebenzi nesokuphela kwalowo msebenzi.

“Basitshela ukuthi ohlelweni lokuhola (persal) kumele kufakwe usuku lokuqala nelokugcina kwenkontileka yingakho kunqamuke umholo. Thina sithi ngoba uhlelo lwenziwa ngabantu kungani lungalungiswa? Sifuna ukuthi umnyango ubakhokhele othisha kungakapheli ngisho izinsuku ezingaki bese ulungisa iphutha,” usho kanje.

Uthe othisha abazange bahole wathi nabafundi basale bengenamuntu ozobafundisa. Phakathi kothisha abanqanyulelwe izinkontileka kukhona nalabo bokufika kuleli.

“Uma uzonqamula inkontileka kumele kube nothisha ozongena ukuze abafundi bangasali bodwa kungekho thisha. Lokhu kwenza kungabi nozinzo ezikoleni zethu. Simatasa sigasele kulezo zifunda okunqanyulwe izinkontileka kuzo sixazulula leso simo,” kusho uNksz Caluza.

Imizamo yokuthola ukuphawula komnyango ayiphumelelanga izolo.

UNksz Caluza unxuse amalungu esiShayamthetho ukuthi eze nezinhlelo zokuthuthukisa izikole uma ekade ezivakashele.

Ubephawula ngohlelo lwamalungu lokuvakashela izikole uma kuqala unyaka bese kungabi namehluko.

“Amalungu esiShayamthetho avakashela izikole njalo uma kuvulwa izikole kodwa ngemuva kwalokho akekho obuyayo azokwethula umbiko. Siyahambisana nalokhu kuvakashelwa kwezikole kodwa kumele labo sopolitiki babe nezinkundla lapho bezochaza ukuthi bazosiza kanjani kungavakashwa bese kuphela kanjalo,” kuqhuba uNksz Caluza.

ISadtu ibuye yaxwayisa amalungu ayo ngokuthi angazihlanganisi nomkhonyovu wokukopelisa abafundi kwamatric.

KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape kunemiphumela esabanjiwe ngenxa yophenyo olwenziwayo mayelana nabafundi abakopela nyakenye.

“Okwamanje kusathiwa labo thisha basabhekene nezinsolo kodwa siyakugxeka ukuthi uthisha angakopelisa umfundi.

Sizobamela phela ngoba bangamalungu ethu futhi inyunyana bayijoyinela lokho kodwa siyabagxeka kakhulu abayotholakala benze lokhu,” kuqhuba uNksz Caluza.

Lugxekiwe nohlelo lokuphucula imiphumela kamatric lomnyango iSadtu yathi luzofeyila lungakaqali.

“Sizoqeqesha amalungu ethu ngoba sifuna ukulungisa isimo. Othisha kumele babe yingxenye kunganqunywa bengazi noma bengabanga yingxenye.”

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>