Onjiniyela besakhiwo esabhidlika seTongaat Mall abakhombisanga ukuthi kukhona ababengeneme ngakho ngesikhathi kwakhiwa.
|||ONJINIYELA besakhiwo esabhidlika seTongaat Mall abakhombisanga ukuthi kukhona ababengeneme ngakho ngesikhathi kwakhiwa. Lokhu kuvele izolo ngesikhathi kuhleli ikhomishini ephenya ngalolu daba.
“Ngangicabanga ukuthi konke kuhamba kahle,” kusho usomabhizinisi waseThekwini, uMnuz Jay Singh (osesithombeni).
USingh ungumnikazi wenkampani iGralio Precast (Pty) Ltd, okuyiyona eyayakha isakhiwo esabhidlika ngoNovemba 19, 2013 kwafa ababili kwalimala 19.
USingh uyakuphika ukuthi uMnuz Andre Ballack ongunjiniyela wamcela ukuthi ahlole ukhonkolo ukuzwa ukuthi uqine kangakanani.
Ikhomishini phambilini yayikade itshelwe ukuthi kukhona okwakushoda kukhonkolo owasetshenziswa esakhiweni.
USingh uthe selokhu angena eneminyaka engu-14 ebhizinisini lezinkontilaki ngesikhathi esasebenza noyise.
Uthe u-75% womsebenzi webhizinisi lakhe alisungula ngo-1986 uwuthola kuhulumeni.
Umsebenzi uhlanganisa ukwakha izikole eziwu-70 nezindlu eziwu-28 000.
Uthe wayeyithemba imfolomane yakhe, uMnuz Ronnie Pillay, owayegade ebheke umsebenzi futhi yena benoBallack kuvela ukuthi bafonelana izikhathi eziwu-380.
USingh uthe watshela uBallack ukuthi usola sengathi kukhona okungahambi kahle ngokwakhiwa kwebhilidi kodwa uBallack wakuqinisekisa ukuthi akangakhathazwa wubala ngoba konke kuhamba kahle.
Uthe wamtshela ukuthi afake omunye ukhonkolo ukuze kuzoba nesisindo.
USingh umtshele emehlweni uBallack ukuthi le ngozi yadalwa nguyena. Uthe waze wapaka imoto yakhe eyiveni waba ne-braai nabasebenzi bakhe ngalapho okwabhidlika khona isakhiwo. – Intatheli yeSolezwe