Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

‘Ngangicabanga ukuthi konke kwakuhamba kahle’

$
0
0

Onjiniyela besakhiwo esabhidlika seTongaat Mall abakhombisanga ukuthi kukhona ababengeneme ngakho ngesikhathi kwakhiwa.

|||

ONJINIYELA besakhiwo esabhidlika seTongaat Mall abakhombisanga ukuthi kukhona ababengeneme ngakho ngesikhathi kwakhiwa. Lokhu kuvele izolo ngesikhathi kuhleli ikhomishini ephenya ngalolu daba.

“Ngangicabanga ukuthi konke kuhamba kahle,” kusho usomabhizinisi waseThekwini, uMnuz Jay Singh (osesithombeni).

USingh ungumnikazi wenkampani iGralio Precast (Pty) Ltd, okuyiyona eyayakha isakhiwo esabhidlika ngoNovemba 19, 2013 kwafa ababili kwalimala 19.

USingh uyakuphika ukuthi uMnuz Andre Ballack ongunjiniyela wamcela ukuthi ahlole ukhonkolo ukuzwa ukuthi uqine kangakanani.

Ikhomishini phambilini yayikade itshelwe ukuthi kukhona okwakushoda kukhonkolo owasetshenziswa esakhiweni.

USingh uthe selokhu angena eneminyaka engu-14 ebhizinisini lezinkontilaki ngesikhathi esasebenza noyise.

Uthe u-75% womsebenzi webhizinisi lakhe alisungula ngo-1986 uwuthola kuhulumeni.

Umsebenzi uhlanganisa ukwakha izikole eziwu-70 nezindlu eziwu-28 000.

Uthe wayeyithemba imfolomane yakhe, uMnuz Ronnie Pillay, owayegade ebheke umsebenzi futhi yena benoBallack kuvela ukuthi bafonelana izikhathi eziwu-380.

USingh uthe watshela uBallack ukuthi usola sengathi kukhona okungahambi kahle ngokwakhiwa kwebhilidi kodwa uBallack wakuqinisekisa ukuthi akangakhathazwa wubala ngoba konke kuhamba kahle.

Uthe wamtshela ukuthi afake omunye ukhonkolo ukuze kuzoba nesisindo.

USingh umtshele emehlweni uBallack ukuthi le ngozi yadalwa nguyena. Uthe waze wapaka imoto yakhe eyiveni waba ne-braai nabasebenzi bakhe ngalapho okwabhidlika khona isakhiwo. – Intatheli yeSolezwe


Bagxeka indodakazi ka-VSZ abaholi be-NFP

$
0
0

Bayaveva abaholi be-NFP ngendodakazi kaNkk Zanele Magwaza-Msibi abayisola ngokugxambukela ezindabeni zobuholi ezixova inhlangano.

|||

CELANI SIKHAKHANE

BAYAVEVA abaholi be-NFP ngendodakazi yomholi weqembu uNkk Zanele Magwaza-Msibi abayisola ngokugxambukela ezindabeni zobuholi ezixova inhlangano.

Bathi abasakholwa nokuthi yayivela kunina ngempela inkulumo ebiyiphethe emcimbini wokugubha iminyaka emine kwasungulwa i-NFP obuseVryheid.

UNksz Gugu Gumede usolwa nangokuthi izinto azenze emcimbini zikhombise ukungabahloniphi abaholi.

USihlalo kazwelonke we-NFP, uMnuz Maliyakhe Shelembe, uthe uphatheke kabi ngokwenzekile ngoba uNksz Gumede akazange ambikele lutho ekubeni ebephethe uhlelo kodwa uvele wafohla wazokhuluma nabantu.

“Akwenzile uGugu kungiphathe kabi ngoba mina njengomholi obephethe uhlelo ngibize umholi wenhlangano yabafundi iNasmo, uSboniso Majola, ukuba azokhuluma egameni lentsha esezikhungweni zemfundo ephakeme. Kuthe ngingazelele kwaqhamuka uGugu ephethe iphepha waphazamisa uMajola wamnikeza inkulumo kaVZ ngaphandle kokuxhumana nobuholi noma nami ebengiphethe uhlelo.

“Kwayona inkulumo ibibucayi kwakungafanele inikezwe umholi wabafundi kodwa yayingafundwa noma yiphini likamengameli, umhlonishwa u-Alex Kekana noma omunye osesigungwini sobuholi,” kusho uShelembe.

Omunye wabaholi obephatheke kabi uthe uNksz Gumede sebeyabona ukuthi ucabanga ukuthi i-NFP yiGenerations lena ayedlala kuyo.

Abaholi beqembu babuye bacasulwa wukuthi kwamenyezelwa ukuthi kwakuzoba nento abangayilindele kanti kuzofika udadewabo ofana nse nokaMagwaza-Msibi abantu ababecabanga ukuthi wuMengameli weqembu.

“Sicasuke kabi ukuthi silethelwe umuntu wesifazane ozenza u-VZ.

Wumuntu nje loyana okumele aboshwe njengoGcabashe ngoba udlale ngemizwa yabantu kangangokuthi ngisho nesitayela sasekhanda besifana nesijwayelwe wuMengameli,” kusho omunye wabaholi.

UShelembe uthe uyisebenzele i-NFP ngakho akazukucekelwa phansi kalula ngabantu abanezinhloso ezingcolile.

Uthe uze waphuthelwa ukuya ephalamende ngesonto eledlule ematasa ehlela umcimbi agcine esethukwa kuwo futhi azibone ebukelwa phansi abebemthuka bemhlukumeza.

UShelembe waba nenkani akangaphuma esteji waze wayophela umcimbi.

Izingcingo zendodakazi kaNkk Magwaza-Msibi bezivaliwe zombili okwenze imizamo yokuyithola yabhuntsha.

UShelembe uthe ukube inkulumo yayiqhamuke kukaMagwaza-Msibi yayingeke ibe nezinsongo ezingaka ezihambisana nokukhomba ngenjumbane abantu abathile abasolwa ngokumketula. Okunalokho yayizogxila ekubumbaneni kweqembu.

Uthe nalabo ababemhhewula kwakuyidlanzana elalizidlela utshwala.

Ingane iminze ebhakedeni yashona

$
0
0

Sesiphenduke undabuzekwayo isigameko sokuphoseka kwengane ku-25 litre webhakede obunamanzi yagcina ngokuminza.

|||

BONISWA MOHALE

SESIPHENDUKE undabuzekwayo isigameko sokuphoseka kwengane ku-25 litre webhakede obunamanzi kuNala Road, eChesterville, eThekwini, yagcina ngokuminza.

Ngokusho kwamalungu omphakathi, angathandanga ukudalulwa ngoba ethi le ndaba iyafihlwa ingane, uKwanele Dube, enonyaka nezinyanga ezimbili ibisele nonina okuthiwa uphuza ubusuku nemini ngenxa yokuthi ugogo wayo ojwayele ukuyinaka ebesayolungisa izindaba zasetohweni.

Kuthiwa ingane iminze ebhakedeni unina elele emuva kokuphuza ubusuku bonke ngemali yesondlo sezingane ayithola kuhulumeni.

“Ingane ibisele nonina ngokuzwa kwethu. Sisola ukuthi uye walala ingane yayongena ebhakedeni, mhlawumbe yakhala kodwa wangayizwa. Lusiphethe kabi lolu daba ikakhulukazi ngoba akusiyona ingane yokuqala ukunganakwa ngunina ngenxa yokuthi amantombazane amaningi la eChesterville ahola imali yeqolo bese eyidla etshwaleni. Izingane okuyizona abanikazi bemali azenzelwa lutho kodwa zinakwa ngogogo ngemali abayithola ematohweni ngoba nabo ogogo basebancane,” kusho elinye ilungu lomphakathi.

Ngesikhathi ithimba leSolezwe lifika emzini wakwaDube okuNala Road, lifice umama wekhaya, uNkk Busi Dube, esehambile esemtholampilo nendodakazi yakhe engunina wengane, uNksz Mafiki Dube.

Ngesikhathi efonelwa uthe makalindwe ngoba ingane isishonile usalinde imoto ethwala izidumbu.

Amalungu omphakathi angahlali eduze komuzi wakwaDube athe ingane ihambe ekhaya isithule vele ngoba unina uyiyabule ngomlenze wayilahla ezandleni zikagogo wayo ngesikhathi ebona ukuthi sekuyabheda.

Omakhelwane bakaDube bathe ingane ithathwe isesimeni esibi. bezwe ngogogo wayo ukuthi ifike emtholampilo kwayenela.

Isolezwe lisithathile isithombe sebhakede ngesikhathi lisalinde uNkk Dube ogcine ngokuthi makuziwe kuye emtholampilo.

Ngesikhathi izintatheli sezifikile ubuze ukuthi ziluzwe ngobani udaba futhi kungani kungakhishwa izindaba zabafana ababhema iwunga bagqekeze imizi yabantu. ubemi nendodakazi yakhe.

Indodakazi yakhe ivele yala ukhasha ukuba kukhulunywe nonina yathi abafonele iphephandaba mabakhiphe yonke imininingwane.

“Nizwe ngobani? Loyo onitshelile akasale eseyiqedela indaba. Asifuni ukuphuma ephephandabeni. UBusi noMafiki basezinhlungwini lo onitshelile akasale eseluqedela udaba niyobhala emaphepheni,” kusho uNksz Dube.

UMajor Thulani Zwane, wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe kuvulwe idokodo, amaphoyisa aseCato Manor ayaphenya.

UNksz Ncumisa Fandesi, wezokuxhumana eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi, uthe uzophawula kahle uma esethole izimpendulo yonke imininingwane kosonhlalakahle baseThekwini.

Azinqandeki ezokuhlaselwa kwabokufika

$
0
0

Azinqandeki izigameko zokuhlaselwa kosomabhizinisi bokufika KwaMashu namaphethelo.

|||

BAWINILE NGCOBO

AZINQANDEKI izigameko zokuhlaselwa kosomabhizinisi bokufika KwaMashu namaphethelo osekunezehlakalo ezibalelwa kwezine kusuka ngenyanga edlule zokubanjwa kwabo inkunzi.

Esigamekweni sakamuva esenzeke KwaMashu kwa-K, ngoMsombuluko ebusuku kuthiwa kugasele abantu abathathu abangaziwa ngezithuba zawo-8 ebusuku bakhomba ngezibhamu osomabhizinisi esitolo sabo.

Kuthiwa abahlaseli bahambe nemali elinganiselwa ku-R2 000 ne-airtime engabiza uR3 000.

Lesi sigameko silandela ezinye ezintathu okuthiwa zenzeke eSiyanda ngenyanga edlule lapho kuthiwa osomabhizinisi bokufika bebehlaselwa babanjwe inkunzi.

Kuthiwa abahlaseli bebefike bachithe upharafini noma uphethroli phambi komnyango wesitolo bese besabisa osomabhizinisi ngokuthi bazoshisha uma bengavuli. Kuthiwa uma sebengaphakathi bebebasabisa ngezibhamu bese bebabamba inkunzi.

Izigameko zokuhlaselwa kosomabhizinisi bokufika seziyinsakavukela KwaMashu kanti ziqale ngoDisemba nyakenye ngesikhathi osomabhizinisi bendawo bekhipha izincwadi zokuxosha endaweni abokufika.

Lezi zincwadi zilandelwe yizigameko zokuphonswa kwamabhomu kaphethroli ezitolo, osomabhizinisi belele ngaphakathi.

Kulezi zigameko kwashona oyedwa kwalimala abanye ababesha ngesikhathi kushiswa.

Ukuhlaselwa kosomabhizinisi bokufika bese kukapakele nakwezinye izindawo. ENtshanga kwadutshulwa kwafa ababili ngenyanga edlule kwathathwa nemoto yabo. Kwaboshwa oyedwa ngaleli cala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uthe ezigamekweni zaseSiyanda naKwaMashu akekho olimele. Uthe akukaboshwa muntu ngazo, amaphoyisa asaphenya.

Akudikizi nqulu ngokuzokwenzeka kuVavi

$
0
0

UMnuz Zwelinzima Vavi uthe akazisoli nakancane ngokungayi emhlanganweni wekomidi eliphezulu lalo mfelandawonye phecelezi iCentral Executive Committee.

|||

UNOBHALA-JIkelele weCosatu uMnuz Zwelinzima Vavi izolo uthe akazisoli nakancane ngokungayi emhlanganweni wekomidi eliphezulu lalo mfelandawonye phecelezi iCentral Executive Committee (CEC), yize kunamahlebezi okuthi angase amiswe futhi.

“Kafushane nje, anginendaba nokuthi kuzokwenzekani,” etshela izintatheli ePitoli.

“Sengike ngamiswa emsebenzini phambilini, uma kunqunywa kanjalo kuyobe kunqunywe ngaleyo ndlela.”

UVavi uthe akanankinga nje futhi akanasazela. Uthe ngeke akwazi ukukhuluma ngamahlebezi.

“Engikushoyo nje wukuthi angizisoli nakancu ngesinqumo engisenzile sokuthi ngingayi emhlanganweni ebengazi kahle ukuthi ngeke ulethe ubumbano kulo mfelandawonye.”

ICongress of SA Trade Unions inomhlangano wezinsuku ezintathu eJohannesburg, oqale ngoMsombuluko.

Lo mhlangano uqhubekile ngaphandle kukaVavi nezinye izinyunyana ezidlelana neCosatu ezizibophezele ukuthi azizozibandakanya nawo kuze kube iNational Union of Metalworkers of SA (Numsa) ibuyiselwa njengelungu lalo mfelandawonye wezinyunyana.

Kulezi zinyunyana kubalwa iFood and Allied Workers' Union, iDemocratic Nursing Organisation of SA, iCommunication Workers' Union neSA Commercial, Catering, and Allied Workers' Union.

UVavi umemezele kuTwitter ngoMsombulukulo ukuthi ngeke aye kulo mhlangano .

“Ngeke ngibe emhlanganweni weCEC yeCosatu. Angikholelwa ekutheni ukuqhubeka nalo mhlangano kuyinto efanele kunengxenye yezinyunyana ezale zaphetha ukuzihlanganisa nawo,” kusho uVavi kuTwitter. –Sapa

‘Akasiye usomathuba uMadikizela-Mandela’

$
0
0

Ummeli kaNkk Winnie Madikizela-Mandela useyiphikile imibiko yokuthi i-client lakhe laba “ngusomathuba’’ lalinda waze washona uMnuz Nelson Mandela ukuze lifune ubunika bomuzi oseQunu.

|||

BOTHO MOLOSANKWE

botho.molosankwe@inl.co.za

UMMELI kaNkk Winnie Madikizela-Mandela useyiphikile imibiko yokuthi i-client lakhe laba “ngusomathuba’’ lalinda waze washona uMnuz Nelson Mandela ukuze lifune ubunika bomuzi oseQunu.

UNkk Madikizela-Mandela wafaka amaphepha eNkantolo eNkulu yaseMthatha ngo-Okthoba wangonyaka odlule, esicelo sokuthi umuzi oseQunu ubuyiselwe kuye.

Wathi ukubhaliswa kwawo egameni likalowo owabe engumengameli waseNingizimu Afrika akukho emthethweni ngakho-ke kufanele kuguqulwe.

Wathi emaphepheni asenkantolo lo mhlaba umuzi owakhiwe kuwo wanikwa yena ngo-1989 ngesikhathi uMandela esesejele.

NgoMsombuluko, u-Advocate George Bizos ufake amaphepha enkantolo okuphendula isicelo esafakwa wuNkk Madikizela-Mandela’.

Usole uNkk Madikizela-Mandela ngokusebenzisa “ithuba’’ lokuthi alinde kuze kushone uMandela ngaphambi kokuthi afake isicelo sokuthi afune lo mhlaba asethi ungowakhe.

UBizos uphinde wathi uNkk Madikizela-Mandela akanayo ngisho incazelo ezwakalayo yokuthi kungani engasifakanga lesi sicelo uMandela esaphila.

“Izinto azishoyo mayelana nokwenzeka ngo-1989 yizinto azisusela ekhanda,” kusho uBizos.

Ummeli kaNkk Madikizela-Mandela ekhuluma nephephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iThe Star, izolo uthe babengeke bakwazi ukufaka isicelo enkantolo ngoba akekho owabe enolwazi lwencwadi yokwaba amafa.

UMnuz Mvuzo Notyesi uthe i-client lakhe lathola ikhophi yencwadi yamafa ngo-Agasti wangonyaka odlule.

UNkk Madikizela-Mandela yilapho axhumana naye ukuze amnike usizo lwezomthetho.

Uthe baqonde enkantolo emuva kokuthi sezehlulekile ezinye izindlela ukusombulula lolu daba.

“Saxhumana nababa ifa kodwa bala baphetha ukuvuma izicelo esabe sizethule kubona yingakho sithathe lolu daba salufaka enkantolo.

“Lesi sicelo akusona esokuba ngusomathuba. Sasingeke sikwazi ukusifaka enkantolo ngoba akekho owayenolwazi lokuqukethwe encwadini yamafa.

“Ngabe akukho cala ukube umhlaba awunikwanga abanye abantu,” usho kanje.

Izinkinga ngezindlu ezakhiwa abakwaMpisane

$
0
0

Injinga yaseThekwini ehlale isematheni, uNkk Shauwn Mpisane, kunezinkinga ezikhona ngezindlu zomxhaso ezakhayo.

|||

Bongani Hans

INJINGA yaseThekwini ehlale isematheni, uNkk Shauwn Mpisane, kunezinkinga ezikhona ngezindlu zomxhaso ezakhayo.

UNkk Mpisane, inkampani yakhe esiyenze izigidi zamarandi ngamathenda okwakha izindlu zomxhaso, ukhala ngoMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu ngenkinga yemali ebhekene nenkampani yakhe nosekuphethe ngokuthi kumiswe umsebenzi wokwakhiwa kwezinkulungwane zezindlu zomxhaso KwaDukuza.

Lokhu kushiye abantu abalindele izindlu zomxhaso bezibuza ukuthi kungani inkampani kaMpisane, iZikhulise Cleaning Maintenance and Transport CC, ilaxaze ukwakhiwa kwemizi yabo eMlazi naKwaDukuza. Ukwakhiwa kwalezi zindlu kumiswe ngesikhathi le nkampani ivalela amaholidi ngoDisemba 12 kodwa akubange kusasetshenzwa ngesikhathi okwakulindelwe ngaso ngoJanuwari 12.

UNkk Mpisane ukuqinisekisile ephephandabeni elinguzakwabo weSolezwe, iMercury, ukuthi amakhulu abasebenzi awabuyelanga emsebenzini futhi awaholile kusukela evalele amaholidi. Uthe wethemba ukuthi umsebenzi uzoqhubeka uma kuqala unyaka omusha wezimali ngo-Ephreli.

Walile ukusho ukuthi ukweletwa malini noma zingaki izindlu ezishiywe zingaqediwe.

Okhulumela uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu uMnuz Mbulelo Baloyi uthe ngamafomu angagcwaliswanga ngendlela adale ukuthi kubambeke inkokhelo.

Kunengeke ijaji kwelokufa kwephoyisa

$
0
0

Bathi bashaywa baphoqwa ukuthi benze izitatimende zokuvuma icala nokuthi bakhombe indawo yesigameko abasolwa.

|||

BAWINILE NGCOBO

BATHI bashaywa baphoqwa ukuthi benze izitatimende zokuvuma icala nokuthi bakhombe indawo yesigameko abasolwa abathathu kwabahlanu ababekwe icala lokubopha itulo lokubulala iphoyisa lophiko lwe-National Convention Unit (NIU), eMariannhill ngo-2013.

Ababhekene necala eNkantolo eNkulu eThekwini nguMnuz Mthokozisi Parker Ngcobo, Khulekani Vilakazi, Wonder Meyiwa, Anele Gumbi noSiyabonga Hlophe.

Babhekene necala lokuhlela ukubulala nelokubulala uConstable Thabo Mlotshwa, abanye babekwe elokusiza ukuvimba ukwenzeka kobulungiswa, ukweba, ukuhlela nelokushaya.

Umsolwa wokuqala uNgcobo nguyena yedwa obhekene necala lokubulala. Ubekwe nelokushaya ngenhloso yokulimaza uNksz Beatrice Mbothwe okuthiwa wayethandana naye noMlotshwa.

Izolo inkantolo ilalele ubufakazi bamaphoyisa abekhuluma ngokwenzisa abanye babasolwa izincwadi zokubaxwayisa ngamacala abasuke bewenzile.

Inkantolo ike yama izikhawu ngenxa yokuthi bekunomqulu wemininingwane ethile ebidingwa wummeli ingekho enkantolo ukuze aqhubeke nokupheka ngemibuzo omunye ufakazi.

Ijaji uGraham Lopes likhombise ukunengeka ngalokhu lathi akwamukelekile ngoba akusiyo indlela okuqhutshwa ngayo uma kuqulwa icala.

Inkantolo iphinde yaphazamiseka kusanyamalele ofakazi bombuso okuthiwe bayolanda iSAP 13 esiteshini eMariannhill.

Lithwale kanzima iJaji lagcina lizikhalela ngokuthi konke obekwenzeka akwamukelekile.

UCaptain Dumisani Hlongwa ongumphenyi wecala utshele iNkantolo ukuthi ngoNovemba 24 wayesemsebenzini ezothatha isitatimende sikaMeyiwa. Uthe wamchazela ngecala ayesolwa ngalo lokubulala, wamchazela ngamalungelo akhe njengoba ebekiwe kumthethosisekelo.

Uthe uMeyiwa wayebambisene kahle naye kanti wathi ufuna ukukhulula isifuba sakhe akhombe nendawo yesigameko.

Uthe uMeyiwa wathi uyawaqonda amalungelo akhe.

UHlongwa uthe wama uma ethi ufuna ukuyokhomba indawo yesigameko, wafonela uMajor Gcwabaza waseNtuzuma owavuma ukuthi uzomyisa kokhomba.

Uthe wahlela ukuthi uMeyiwa ahanjiswe kudokotela.

Umshushisi uNksz Zandile Mshololo uthe kunezitatimende zikaNgcobo, Vilakazi noMeyiwa afuna ukuzibeka ezithebeni zenkantolo. Abameli babamangalelwa bathe bazokuphikisa lokho. Umshushusi ube esecela ukuthi babhale ukuthi bakuphikisa ngaliphi lokho.

ULopes ubuze ukuthi kunani uma besho ngomlomo. Abameli bathe abamangalelwa bathi bashaywa, kabazenzanga ngokuthanda nangokukhululeka izitatimende kanjalo nokukhomba indawo yesigameko.


Bakweleta u-R1.7bn abezimoto eThekwini

$
0
0

AmaphoyisaA kaMasipala weTheku akweletwa uR1.7 billion abashayeli bezimoto abangawakhokheli amathikithi abo omgwaqo kusukela ngo-2005.

|||

LEE RONDGANGER noKAMCILLA PILLAY

AMAPHOYISA kaMasipala weTheku akweletwa uR1.7 billion abashayeli bezimoto abangawakhokheli amathikithi abo omgwaqo kusukela ngo-2005.

Emkhankasweni wokuzama ukuqoqa le mali, amaphoyisa asehlale enza izivimbamgwaqo ukuze abambe labo bashayeli abakweletayo, aphinde asebenzise nobuchwepheshe obusezingeni eliphezulu obukwazi ukuthola abashayeli abangakhokhi ngezinombolo zezimoto abahamba ngazo.

Okhulumela amaphoyisa kamasipala uSenior Superintendent Eugene Msomi ukuqinisekisile ukuthi kunamathikithi angu 4.4 million akhishwa kusukela ngo-2005, kodwa kuze kube imanje abanikazi bawo abenzi mizamo yokuthi bakhokhe.

UMsomi uthe balinde ukuthi kuqedwe uhlelo lwethenda lapho kuzonikezwa khona inkontileka ezimele umsebenzi ezokwenza isiqiniseko sokuthi labo abakweleta imali yamathikithi omgwaqo bayakhokha.

Uthe umsebenzi wale nkontileka kuzoba ukunika amaphoyisa omgwaqo imininingwane yabo bonke abashayeli bezimoto abangawakhokheli amathikithi abo omgwaqo.

“Ngalobu chwepheshe obuzobe busetshenziswa yile nkontileka ezimele sizokwazi ukubabamba kalula bonke abashayeli bezimoto abangafuni ukukhokhela amathikithi abo omgwaqo,” usho kanje.

Ngonyaka odlule amaphoyisa omgwaqo aqoqa uR29 million wemali yamathikithi omgwaqo ngokwenza izivimbamgwaqo lapho kukhishwa khona nezincwadi ezigunyaza ukuba kuboshwe abangakhokhi.

UMsomi uthe iseluleko abasinika abashayeli abangawakhokheli amathikithi abo ukuthi abeze bazokwenza izinhlelo zokukhokha ngoba abafuni ukuthi baze bababambe kwizivimbamgwaqo.

“Akekho umuntu ozimisele ngokuhlala ezitokisini impelasonto yonke ngoba nakhu engenayo imali yokukhokhela amathikithi akhe,” usho kanje.

Okhulumela i-DA kwaCommunity Safety KwaZulu-Natal uDkt Rishigen Viranma uthe akwamukelekile ukuthi imali yamathikithi angakhokheliwe ingaze ifike ku-R1.7 billion.

“Kunesidingo sokuthi kuqiniswe isandla kubashayeli abangawakhokheli amathikithi abo, ngoba kuyacaca ukuthi abantu bazenzela umathanda bawashaya indiva amathikithi ngoba bazi ukuthi isikhathi esiningi ayilandelwa indaba yawo,” usho kanje.

Abezinyunyana badumele ngohulumeni

$
0
0

Izinyunyana zabasebenzi ezingaphansi kweCosatu sezizwakalise ukukhathazeka ngokucotha kohlelo lokunyusela abasebenzi bakahulumeni amaholo.

|||

MHLENGI SHANGASE

IZINYUNYANA zabasebenzi ezingaphansi kweCosatu sezizwakalise ukukhathazeka ngokucotha kohlelo lokunyusela abasebenzi bakahulumeni amaholo.

Lezi zinyunyana okubalwa iSadtu, Denosa, Sama, Pawusa, Nehawu, Popcru, Sasawu nezinye zithi uhulumeni usehlise nemali ayeyiphakamisile phambilini.

Okhulumela lezi zinyunyana, uMnuz Nkosana Dolopi, oyiphini likanobhala jikelele weSadtu, uthe isivumelwano sabo nohulumeni siphela ekupheleni kwale nyanga ngakho kumele kuqale inyanga ezayo kube sekukhona esisha.

Uthe bamele abasebenzi bahulumeni ababalelwa ku-58% kanti bakhathazekile ngokucotha kwezingxoxo.

“Sabeka isiphakamiso ngoSepthemba nyakenye kodwa kuze kube yimanje asikho isivumelwano esisayiniwe. Sidumele ngoba umqashi uzithela ngabandayo akukho ukusukumela izingxoxo. Umqashi waqala wabeka etafuleni u-5.8% wokunyusa amaholo ekupheleni konyaka odlule kodwa sithole ukuthi kuleli sonto wehlise lesi siphakamiso wasibeka ku-4.5% enkundleni ebhunga izindaba zamaholo,” kusho uDolopi.

Uthe lo 4.5% umqashi uthe iyona mali abona ukuthi izohambisana nokunyuka nokwehla kwamandla emali.

“Akukaze kwenzeke selokhu izwe lakhululeka ukuthi izingxoxo zihambe ngale ndlela. Besithi umqashi nathi sekukhona ukuthembana kodwa manje siyabona ukuthi besizikhohlisa. Sinxusa umqashi ukuthi akabuyekeze lesi siphakamiso ngokushesha ngoba uma kungukuthi uyahluleka siyokwenza noma yini ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi bathola okubafanele,” kuxwayisa uDolopi.

Ethula isabelo-mali ngeledlule, uNgqongqoshe wezezimali uMnuz Nhlanhla Nene uthe uyazi ukuthi izingxoxo zokunyusa amaholo zisaqhubeka wathi unethemba lokuthi kuzofinyelelwa esivumelwaneni ukuze kuqale unyaka omusha wezimali ngenyanga ezayo sekukhona isivumelwano.

Uthe isivumelwano okuzofinyelelwa kusona kumele singabi nomthelela ongemuhle kwisabelo-mali.

Uqhube wathi uhulumeni uzibophezele ekutheni kungabi nasiteleka sabasebenzi bakahulumeni ngoba leso siteleka singaba nomthelela ongemuhle emnothweni.

Abasebenzi bakahulumeni badla cishe u-R450 billion wesabelo-mali.

Luzoqalwa phansi ukhetho lwe-ANC

$
0
0

Kuphelile ngobuholi obusha be-ANC eThekwini obukhethwe ngoFebhuwari 14 obuholwa uMnuz James Nxumalo.

|||

CELANI SIKHAKHANE

KUPHELILE ngobuholi obusha be-ANC eThekwini obukhethwe ngoFebhuwari 14 obuholwa uMnuz James Nxumalo njengoba ikomiti lesigungu esiphezulu esifundazweni lizohlangana ukuze kuqokwe usuku olusha lokuqala phansi ingqungquthela yeTheku.

UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala nephini lakhe uNkk Nomusa Dube-Ncube babize abezindaba izolo ekomkhulu likaKhongolose lesifundazwe iPixley ka-Isaka Seme House, eThekwini, bezobachazela ngesinqumo esithathwe yisigungu sikazwelonke ebesibayalela njenge-KZN ukuthi kumele iqalwe phansi ingqungquthela.

“Ubuholi bukazwelonke buseluleke ngokuthi kumele sibuyekeze isinqumo sokuhlala kwengqunqguthela yeTheku ukuze iqalwe phansi ngemuva kokuthi kubekhona abakhononda ngayo bethi kukhona okungahambanga kahle.

Nakuba sikholelwa thina njengesifundazwe ukuthi zonke izinto zahamba ngendlela kodwa sinqume ukuthi kungcono iqalwe phansi. Okuzokwenzeka sizohlangana siyisigungu esiphezulu sesifundazwe sibheke yonke imigudu ezolandelwa bese sikhipha usuku lokuhlalisa le ngqungquthela,” kusho uZikalala.

Uthe lesi sinqumo basithathe ngesikhathi kuhleli ikomiti lesigungu sesifundazwe ePinetown Civic Centre emhlanganweni oqale ngeSonto waphothulwa ngoMsombuluko.

NgoLwesibili kubizwe ubuholi bamagatsha aseThekwini okubalwa onobhala nozihlalo ukuthi bazobikelwa ngalesi sinqumo ngemuva kokuthi bekulokhu kunamahlebezi abengaqinisekisiwe abesabalele okuthi ngempelasonto kufike uNobhala Jikelele we-ANC uMnuz Gwede Mantashe ezoyalela ubuholi besifundazwe ukuthi kufanele iqalwe phansi ingqungquthela yaseThekwini.

Abanye abaholi baphume benganeme bebonakala nasebusweni njengoMnuz Phelelani Mshengu ongumgcinimafa kulobu buholi obuzohlakazwa oshiye kusakhuluma uMnuz Senzo Mchunu wahamba akangakhulumisa muntu ehla ezitebhisini ebonakala ecasukile.

Konke lokhu kwenzeke ngemuva kokuputshuka kwencwadi eyayibhalwe uMantashe ngomhlaka 11 Febhuwari eyayivimbela amagatsha amathathu okungu ward-16, 30 no-74 ekutheni abe yingxenye yengqungquthela ngoba kuthiwa awazange ahlangabezane nemigudu ewavumela ukuthi abe sengqungqutheleni.

UZikalala uthe zonke izinhlelo mayelana nokuthi kuzokwenzekani ngamagatsha kuzoba yisinqumo esizothathwa yisigungu esiphezulu.

Ubuye wathi ubuholi obukhona njengamanje buzohlala okwalesi sikhashana kusalungiswa izinto kuze kube kumenyezelwa usuku lwengqungquthela.

Kule ngqungquthela uNxumalo wathola amavoti angu-233 ahlula ngawo uNkk Zandile Gumede owathola angu-219 bahlukaniswa amavoti angu-14.

NgoDisemba le ngqungquthela yahlehla okokuqala sekukhokhwe imali engu-R900 000 kwathi uma isihlala ngoFebhuwari kwagcwaliswa ngo-R300 000 kwaba u-R1.2 million isiyonke.

UZikalala uthe imali ayizukuba yinkinga ekutheni baqale phansi waphinde waxwayisa labo abebemashele inhlangano ngokuthi bazothathelwa izinyathelo nalabo ababhala ezinkundleni zokuxhumana ngoba lokho kuphambene nemigomo yenhlangano.

Uthe alukho uqhekeko ku-ANC esifundazweni.

Uveze nokuthi iKZN ayikaze iguquke ekwesekeni kwayo uMengameli Jacob Zuma futhi ukubumbana kwabo yikhona okwenza bamseka ngempumelelo baphinde banqoba ukhetho esifundazweni ngamalengiso.

UNkk Dube-Ncube yena uthe izinkinga ezikhona ziyingxenye yokusebenza kwentandoyabantu ku-ANC ngakho ukhetho lohulumeni basekhaya angeke luphazamiseke ngenxa yokuthi kunokungaboni ngasolinye okukhona eThekwini.

Abaholi okulindeleke ukuthi baphume emahhovisi uma sekumenyezelwe usuku lwengqungquthela uNxumalo osengusihlalo okwamanje, uMnuz Sthenjwa Nyawose oyiphini lakhe, uMthunzi Dlamini onguNobhala, uNksz Cheryl Sisoka oyiphini bese kuba umgcinimafa uMnuz Mshengu.

Kwenzeka lokhu nje i-ANC esifundeni i-Alfred Nzo ikhala ngokuthi kungani isigungu sikazwelonke siyisukumele ngokushesha indaba yaseThekwini ekubeni bona bashaywa indiva yize babekhala ngesimo esifana neseTheku.

UMnuz Zizi Kodwa okhulumela i-ANC kuzwelonke uthe inkinga yase-Alfred Nzo Region ukuthi bekunokungalawuleki okwenziwe amalungu akhona okwenze kwaba nzima ukuthi isigungu sikazwelonke silusebenze ngokushesha udaba lwakhona.

Kubi kumfana olunywe yizinja

$
0
0

Usesimweni esibucayi esibhedlela umfana waseCato Crest olunywe yizinja ezimbili ezingobhova.

|||

MLUNGISI GUMEDE

USESIMWENI esibucayi esibhedlela umfana oneminyaka eyisikhombisa ubudala waseCato Crest olunywe yizinja ezimbili ezingobhova zaseManor Gardens emasontweni amabili edlule.

U-Asanda Dube usegunjini labagula kakhulu esibhedlela Inkosi Albert Luthuli Memorial eThekwini.

U-Asanda kuthiwa ubedlala nomngani wakhe wakwamakhelwane u-Esethu ngaphandle kwesango lakubo ngo-Febhuwari 23, ngesikhathi kuqhamuka izinja ezimbili zahlala kuye izithonto.

U-Esethu (4) yena kuthiwa wabaleka wayobiza abazali. Umkhulu ka-Asanda okunguyena owakhuza lezi zinja uthi wayecabanga ukuthi izinja ziluma isilwane ngesikhathi esalunguza ngewindi engakaphumeli emnyango.

“Lezi zinja zazidonsisana. Ngasondela ngabona ukuthi wumzukulu wami. Ngazishaya ngamatshe zaze zamyeka kodwa zazigoloza ngoba kwathatha isikhathi eside ukuthi zimyeke,” usho kanje.

Uthe u-Asanda ulimele kakhulu ekhanda nasezingalweni ngoba izinja zazimbhuquzisa phansi.

Uninakhulu ka-Asanda, uNkk Dolly Mokoena uthe bafuna ajeze umnikazi walezi zinja ngoba wakhombisa ukudelela eselande izinja zakhe wathi abazali nengane kumele baye kwakhe nencwadi kadokotela ukuze abone ukuthi ingane ilimele ngempela.

“Wafike wabiza inja yakhe ngegama wazithatha. Wathi onenkinga kumele aye kwakhe,” usho kanje.

UNkk Mokeona uthe lezi zinja zijwayele ukubonakala ziwuvanzi emigwaqeni yaseManor Gardens.

“Sifuna umnikazi walezi zinja aboshwe ngoba akanabo ubuntu akazange azihluphe ngokubuza umndeni wengane elimele wavele wazithathela izinja zakhe wathi onenkinga nazo kumele aye kwakhe. Lokho kukhombisa ukuthi usibukela phansi ngoba nakhu singabantu abamnyama,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uthe likhona icala lokugcina izinja eziyingozi eliphenywa amaphoyisa aseCato Manor kodwa okwamanje bekungakaboshwa muntu. Imizamo yokuthola umnikazi wezinja ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.

AbaseMlazi nezikhalo ngolwezindlu

$
0
0

Bakhala ngohlelo lokuvuselelwa kwezindlu zakudala olungapheli abantu bakwa-M eMlazi.

|||

BONISWA MOHALE

BAKHALA ngohlelo lokuvuselelwa kwezindlu zakudala olungapheli abantu bakwa-M eMlazi, abasuswa emizini yabo ngo-Okthoba wonyaka odlule kanti kuze kube manje basarenta emizini abacushiswe kuyo.

UMasipala weTheku uqale ukuvuselela lezi zindlu ngonyaka odlule, kanti ezinye zalungiswa zaphela ngo-Agasti nango-Septhemba kodwa ezidilizwe ekupheleni kukaSepthemba azikapheli namanje.

UNkk Daphney Zaca (64), uthe selokhu behleli emizini yabantu ngonyaka odlule kanti barenta u-R800 lapho behleli khona basale nokuncanyana ukuze badle.

“Inzima impilo yethu ngoba satshelwa ukuthi ukwakhiwa kabusha kwezindlu zethu kuzothatha amasonto amathathu kuphela. Sibonile kwabanye kushesha yingakho nathi singazange sibe novalo ngesikhathi bethi bazosidilizela. Okubuhlungu wukuthi ezethu zithatha izinyanga eziyisithupha ukuphela, kunzima ngoba okokuqala nje sesiyarenta into ebesingayazi. Ngihola impesheni mina, amadodakazi ami awasebenzi womabili nginabazukulu abathathu bonke babheke impesheni yami. Kunzima angikwazi ngisho nokukhokhela umasingcwabisane, uma ngingathula manje kungaba yinkinga,” kusho uNkk Zaca.

UNkk Zinhle Mngadi (35) ongumakhelwane kaNkk Zaca, uthe, ukube babazi ukuthi ukuvuselelwa kwezindlu kuzodala umonakalo kunokuphucula impilo yabo ngabe abavumanga.

“Into entsha abayenzile kulezi zindlu wukufaka ama-tiles okunye bakumoshile. Kukhishwe amakhabethe asodongweni, ama-tiles indlu yonke ukube ngangazi ngabe angivumanga ukuthi umuzi wami udilizwe. Vele umyeni wami wayengahambisani nalokhu kodwa ngazitshela ukuthi ngoba abakwaMasipala bathi bayazidiliza izakhiwo zakudala bazenza zibe zintsha kuzoba ngcono. Ngisho usimende wokuplastela uwugqinsi ongalwazi kwezinye izindawo, azipheli ngahamba nengane yami inezinyanga ezintathu manje sezizine asikabuyi emzini wethu. Sasithenjiswe ukuthi kuzothatha inyanga eyodwa,” kusho uNkk Mngadi.

Uthe izindlu ziyashiyana njengoba ezakhiwe yinkontileka okuthiwa wu-RGZ zizinhle futhi zakhiwe ngobunono bese kuthi ezabo ezakhiwa yinkontileka iMaqama Amahle ziplastelwe kabi nogesi uqaqwa kaningi.

Uphethe ngokuthi angajabula uma umsebenzi ungaphela bangene ezindlini zabo.

UMnuz Thabo Mofokeng wezokuxhumana kuMasipala weTheku, ugcine ethembise ukuthi uzokwazi ukuphendula ngalolu daba uma esebuyele ehhovisi okuze kwashaya isikhathi sokushicilela engaphendulanga.

Abazali basafuna izimpendulo kolweveni

$
0
0

Imindeni yezingane eziyisishiyagalombili ezashona engozini yeveni eMbali ifuna izimpendulo ngecala ethi limile.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

IMINDENI yezingane eziyisishiyagalombili ezashona engozini yeveni elaphaphalaza, lakhalakatheka emzini womuntu eMbali, eMgungundlovu ifuna izimpendulo ngecala ethi limile nakuba bezwa ukuthi umshayeli wadedelwa esibhedlela umndeni wakhe wamyisa ezihlotsheni eThekwini.

Imindeni yezingane ezashona kule ngozi iyaveva kulandela ukuthola ukuthi akukho okusha okwenziwe ukulandelela udaba lokushona kwezingane zabo.

Izolo Isolezwe likhulume namanye amalungu omndeni athe ahlele ukuya esiteshini samaphoyisa ukuze athole ukuthi kwenzekani ngecala lokushona kwezingane zabo.

UMnuz Sizwe Mchunu onguyise kaSinakhokonke Mchunu, uthe bahlezi ebumnyameni ngodaba lokushona kwezingane zabo.

“Besingakatshelwa lutho ngecala, lokhu kusiphatha kabuhlungu. Sidunguza ebumnyameni asazi ukuthi icala limile noma lisaqhubeka. Sagcina sibizwe esiteshini samaphoyisa ngesikhathi kusanda kwenzeka ingozi. Emuva kwalokho kuthule du. Sihlela ukuba sihlangane singabazali sigasele esiteshini samaphoyisa siyofuna izimpendulo ngecala ngoba asitshelwa lutho,” kusho uMchunu.

Uyise kaBandile Chamu-Mahlaba uMnuz Thobani Chamu, uthe kade eya esiteshini samaphoyisa ngethemba lokuthola okusha ngecala kodwa waphoxeka.

“Emasontweni amabili adlule bengiye khona esiteshini samaphoyisa ngiyobuza ukuthi kwenzekani ngecala, ngitshelwe ukuthi kuyaphenywa, akukho okusha engibuye nakho. Asazi ngempela ukuthi kwenzekani, izingane zethu zashona kwathuleka nje,” kusho uChamu.

Umfundi wakamuva oshonile uNonzuzo Zuma nawo umndeni wakhe udunguza ebumnyameni. Uyise walo mfundi uMnuz Sipho Zuma, uthe ukhathazekile ngecala.

“Siphatheke kabi singabazali ukuba singatshelwa ukuthi kuqhubekani ngecala. Izingane zashona ezinye zalimala, saya emaphoyiseni. Ngesikhathi uNonzuzo eseshonile ngaya esiteshini ngiyobazisa. Kusukela ngaleso sikhathi akukho okunye engisake ngakuzwa emaphoyiseni ngecala. Kuyakhathaza kakhulu lokhu okwenzekayo, sikhathazekile kakhulu ngokuma kwecala, asazi ukuthi kwenzekani,” kusho uZuma.

Kulesi sigameko kwashona: Snakhokonke Mchunu (8) Grade 4, Snenhlanhla Dlamini (7) Grade 2, Snenhlanhla Nkomo (9) Grade 4, Yolanda Shezi (10) Grade 5, Bandile Chamu/Mahlaba (10) Grade 5, Olwethu Vilakazi (9) Grade 4, Sinethemba Chonco (7) noNonzuzo Zuma (11) Grade 7.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natala uMajor Thulani Zwane, uthe uphenyo lusaqhubeka.

“Umshayeli weveni ubengakaboshwa. Uphenyo ngecala lusaqhubeka esiteshini samaphoyisa ePlessislaer, eMgungundlovu,” kusho uZwane.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu--Natal uMnuz Kwanele Ncalane echaza uthe umshushisi ozothatha isinqumo ngokumele kwenzeke.

“Uma amaphoyisa eseqedile ngophenyo, umbiko uzofakwa edokodweni. Uzobe usuthunyelwa ophethe ukushushiswa kwamacala. Umshushisi uyena oyothatha isinqumo ukuthi kukhona yini okumele ashushiswe ngecala noma cha. Ziningi izinto ebezisabambile njengoba nomshayeli ubesesibhedlela isikhathi eside. Kwayena kumele aphoswe ngemibuzo bese konke okutholakele ngesigameko kuyiswa kubashushisi. Isinqumo asithathwa umnyango ngokushushisa umshayeli.”

Imibuzo begada owekhansela eliboshiwe

$
0
0

Sekuqubuke imibuzo ngokugadwa ngamaphoyisa komuzi wekhansela le-ANC laKwaNdengezi.

|||

BAWINILE NGCOBO noMLUNGISI GUMEDE

SEKUQUBUKE imibuzo ngokugadwa ngamaphoyisa komuzi wekhansela le-ANC laKwaNdengezi eliboshwe nomunye uzakwabo ngecala lokubulala umholi wabahlali basemjondolo kule ndawo.

Umuzi kaMnuz Mduduzi Ngcobo odume ngoNqola oboshwe nozakwabo uMnuz Luvelile Lutyeku ugadwa yizimoto ezimbili zamaphoyisa ophiko lwe-Public Order Policing yaseMariannhill.

Ngaphambi komuzi waleli khansela kukhona imoto ephuzi enkulu okuthiwa iCasper yamaphoyisa bese kuba nenye enesondo emhlane.

Umuzi wekhansela selokhu uqale ukugadwa ngalolu hlobo ngoJanuwari ngesikhathi umphakathi wakule ndawo unemibhikisho ukhala ngentuthuko nenkohlakalo obuthi ithinta ikhansela.

Elinye iphoyisa elingathandanga ukudalulwa lithe ngesikhathi beqala ukusebenza kwakuthiwa bazoqapha ikhansela ngoba impilo yalo isengcupheni ngenxa yentukuthelo yomphakathi.

Lithe bebegada kodwa ikhansela lona belivele lingasahlali kwalo ngenxa yokusaba.

Osekuqubule imibuzo ngokuqhubeka nokugadwa kwalo muzi ngamaphoyisa ukuthi ikhansela liboshiwe ngoLwesine olwedlule.

UNgcobo uboshwe ngecala lokubulala uNksz Thuli Ndlovu wakule ndawo obengumholi wenhlangano Abahlali baseMjondolo owadutshulwa ngentululwane yezinhlangu ekubo kwalimala umfana owayezolekelela ingane yakhe ngokuyifundisa iMaths.

UNgcobo noLutyeku bavele eNkantolo yeMantshi ePinetown ngoMsombuluko icala lahlehliselwa uMashi 18.

Abantu bakule ndawo abeneme ngokuthi lo muzi uyagadwa ekubeni leli khansela liboshiwe.

Elinye ilungu lomphakathi elikhulume neSolezwe lithe libona kuwukumosha imali yabakhokhi bentela ukugadisa amaphoyisa umuzi womuntu sengathi angonogada abazimele.

Abantu bathi iCasper ihlale imile ngaphambi komuzi wekhansela.

Ikhansela le-DA emkhandlwini weTheku, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe akuwenzi umqondo ukuthi amaphoyisa agade umuzi wekhansela eliboshiwe elisolwa ngamacala.

Uthe amaphoyisa kumele alwe nobugebengu ayeke ukumosha isikhathi egadene nomuzi wekhansela eliboshiwe.

Okhulumela umasipala weTheku, uMnuz Thabo Mofokeng, uthe bangephawule ngodaba oluthinta amaphoyisa ngoba iwona asuke ebonile ukuthi kunesidingo sokuthi umuntu othile kumele ahlinzekwe ngezokuphepha.

Uthe okwabo ukubikela amaphoyisa bese wona ayabheka ukuthi kumele agadwe ngempela umuntu noma cha.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, uthe basalinde ukuthola izimpendulo kwabaphaka amaphoyisa ngalolu daba.


Kushile kubaculi ngekahulumeni

$
0
0

Kubashele abaculi baKwaZulu-Natal abebephila ngemicimbi kahulumeni wesifundazwe.

|||

CELANI SIKHAKHANE

KUBASHELE abaculi baKwaZulu-Natal abebephila ngemicimbi kahulumeni wesifundazwe njengoba ihhovisi likaNdunankulu liyalele ukuthi kuvalwe ukuqashwa kwabaculi emicimbini yeMinyango.

Lokhu kuvele izolo ngesikhathi kuhleli ikomiti elibhekene nezindaba zaseNdlunkulu nehhovisi likaNdunankulu eSishayamthetho eMgungundlovu.

INhloko yeziMali ehhovisi likaNdunankulu uMnuz Walter Cibane ithe lokhu bakwenze njengengxenye yohlelo lwesifundazwe lokonga nokunqanda ukuchithwa kwemali ngokungenasidingo.

“Njengengxenye yokonga kuhulumeni kunezinto esizibone kuyizo ezidla kakhulu imali kodwa ezingavalwa ngaphandle kwenkinga. Indaba yokuqasha abaculi emicimbini yiyo ebiyinkinga ngoba kukhona ababiza amanani aphezulu ngendlela eyisimanga uma bezonandisa,” kusho uCibane.

Uthe indaba yokuqashwa kwamatende nezinkampani zokudla izoncishiswa ngoba iningi kakhulu imali ekhishwa uhulumeni kulezi zinto.

Uthe ngisho iMinyango kahulumeni kuzomele inciphise ukuqasha izakhiwo zokusebenzela kodwa ibe nezayo.

Amalungu aleli komiti nawo abe nemibono.

UMnuz Sizwe Mchunu weDA uthe zisiza ngani lezi zinhlelo zokonga ngoba kade kwaqalwa kuthiwa ziyenziwa kodwa akukaze kushiwo ukuthi umehluko uba kuphi.

UNkk Nonhlanhla Khoza we-ANC kuleli komiti ubuze ukuthi kungani uhulumeni engathengi amatende akhe bese kusebenza wona uma kunemicimbi kunokuba aqashwe.

Ngaphandle kwalokho nabasebenzi kuthiwe abasezukuvunyelwa ukuthi bahambe ngezimoto ezahlukene uma beyosebenzela ngaphandle noma kunemihlangano kodwa sebezophoqwa ukuthi uma beya endaweni eyodwa baqashe imoto eyodwa ukuze kunqandwe ukukhokhelwa kwamakhilomitha.

Imicimbi nayo kusamile ekutheni kumele ibe ngu-24 ngonyaka kanti awukho okumele udle ngaphezulu kuka-R1million.

Umqondisi wesifundazwe uMnuz Nhlanhla Ngidi uthe lezi zinhlelo zokonga zibasebenzele ngoba bekwaziwa ukuthi ihhovisi likaNdunakulu belihamba phambili ngokuchitha imali ekuqasheni izinkampani zokudla kodwa manje umehluko ukhona.

Uthe bawubonile umehluko ngokonga ekunciphiseni ukwenziwa kwemicimbi.

Isiphakamiso ngokuxhumana neSilo

$
0
0

Amalungu ekomiti lezindaba zaseNdlunkulu esiShayamthetho afuna ibuyekezwe indlela yokuxhumana neSilo samabandla onke uZwelithini kaBhekuzulu.

|||

CELANI SIKHAKHANE noLUNGI LANGA

AMALUNGU ekomiti lezindaba zaseNdlunkulu esiShayamthetho afuna ibuyekezwe indlela yokuxhumana neSilo samabandla onke uZwelithini kaBhekuzulu ngemuva kokuvela kwehlazo lokuthi asithintwa nhlobo ngezinto eziqondene naso.

Lokhu kuvele izolo ngesikhathi leli komiti lidingida izindaba zaseNdlunkulu nalapho kube nokungagculiseki ngokunqindwa amandla kwamalungu ekomiti ukuthi nawo abe yingxenye yezinhlelo zokuxhumana neSilo uma kukhona okuthinta sona neNdlunkulu yonkana.

UMnuz Sizwe Mchunu weDA uthe inkinga wukuthi abantu abavumeleke ukuxhumana neSilo ngamalungu ekhabhinethi kuphela nokwenza kube nzima ukuthi amalungu ekomiti adlulise imibono yawo ngezinto ezithile.

“ISilo nangesikhathi sivula isiShayamthetho sakhala ngokuthi sesithumele izimemo kaningi sithi sifuna ukuhlangana namalungu ekomiti kodwa lokhu akwenzeki. Yingakho sibona kungcono ukuthi ibuyekezwe indlela yokuxhumana neSilo kungabi amalungu ekhabhinethi kuphela noNdunankulu abanalawo mandla,” kusho uMchunu.

Umholi we-EFF esiShayamthetho, oyilungu laleli komiti laseNdlunkulu uMnuz Vusi Khoza, uthe kwakhona lokhu kuxhumana neSilo okushiwoyo abakuboni kahle ngoba kungenzeka ukuthi amalungu ekhabhinethi asuke ezixoxela ngezinye izinto ezingahlangene neNdlunkulu.

“Yingakho neSilo sikhala ngokuthi akekho umuntu oxhumana naso uma sifake izimemo yingoba nina nivele nizihlalele naso nizixoxele izinto eziseceleni bese nithi nibe nomhlangano naso.

Thina besibona kungcono ukuthi kube nemihlangano ehlelekile neSilo okuzobe kwaziwa ukuthi kusuke kuyokhulunywa ngani ukuze naso sigculiseke,” kusho uKhoza.

Isilo ngesikhathi sivula isiShayamthetho ngeledlule sikhale ngokuthi kuhlale kukhulunywa ngemali esabelwa yona kuthiwe isiphelile kuqashwe nabantu abazobhekana nezindaba zaso kodwa akekho noyedwa osuke esibikelile ngalezi zinto.

Saveza nokuthi sike sabhala incwadi sifuna ukubonana namalungu esiShayamthetho ngezinto ebesizibona emaphepheni ezihlambalaza iNdlunkulu ziyibeke kabi kuze kuthiwe ayisenamali kodwa akekho noyedwa owaphendula.

UNdunankulu wesifundazwe uMnuz Senzo Mchunu uthe akulona iqiniso okushiwo ngemihlangano yabo neSilo ngoba bayaya khona ngendlela ehlelekile bakhulume izinto ezibalulekile ezithinta iNdlunkulu.

“Ngikhuluma nje sike saya eNdlunkulu ngiphelezelwa umhlonishwa (Ntombikayise) uSibhidla Saphetha nomhlonishwa uMike Mabuyakhulu siyoxoxisana neSilo ngezinto ezahlukene.

“Ngakho akukhona ukuthi sisuke siyozixoxela nje izinto ezingasho lutho uma siyohlangana neNgonyama,” kusho uMchunu.

Uphinde wagcizelela ukubaluleka kohlaka oluzoba sehhovisi lakhe oluzobhekana nezindaba zaseNdlunkulu luphinde lubhekane ngqo nezidingo zeSilo nemicimbi yaseNdlunkulu.

UMfu Sipho Gcabashe we-ANC kuleli komiti utshele amalungu alo ukuthi kumele aqonde ukuthi uma uMchunu eya eNdlunkulu eyobonana neSilo usuke engayile njengendoda yaseNhlwathi kodwa usuke eye ngokwesikhundla sakhe sokuba nguNdunankulu wesifundazwe.

Baboshiwe abathenge usana ngo-R5 000

$
0
0

Basazotoka abesifazane abathathu abasolwa ngokushushumbisa ingane base beyidayisa ngo-R5 000.

|||

BONISWA MOHALE

 

BASAZOTOKA abesifazane abathathu abasolwa ngokushushumbisa ingane base beyidayisa ngo-R5 000 kanjalo nabashadile abayithenga.

Ngokukamshushisi uNksz Yugs Manickum, abasolwa uNkk Nokuzola Msweli (48) waseNtshanga, Nkk Sibongile Ndimande (41) waseTin Town, Nkk Thembi Cele (42) waseMalukazi nabashadile uNkk Catherine Ramlatchman (36) noMnuz Rajandra Ramlatchman (38) banecala lokushushumbisa ingane nokuyidayisa kanti ababili okusazocaciswa ukuthi ngobani banecala lokuthumba ingane yomfana.

Uthe umsolwa wokuqala nowesibili bazenza osonhlalakahle abazosiza unina womfana ababezwile ukuthi akasebenzi uNksz Tania Sewpersad (27).

Kuthiwa bahamba naye ngemoto maqede bamthuma ukuyothenga ijusi ePinetown. Waphuma emotweni wabuya isihambile.

Kwabikelwa amaphoyisa asePinetown aqala uphenyo ngo-Okthoba ngonyaka odlule abasolwa baze baboshwa kuleli sonto.

UNksz Manickum uthe akafuni abasolwa bathole ibheyili ngoba kusekhona uphenyo okumele lwenziwe ngamaphoyisa aqinisekise amakheli alapho behlala khona.

Ummeli wabasolwa abathathu uNksz Zinhle Mashaba, ucele ukuthi inkantolo ingalihlehliseli isikhathi esikude icala ngoba kade lwaqala uphenyo futhi nabo sebenesikhathi betokile.

Imantshi uNkk A Kistern imtshele ukuthi basatoke izinsukwana njengoba beboshwe kuleli sonto.

Ummeli wabashadile uNkk Arvina Haricharand uthe inkantolo kumele ibazwele ngoba babambisene namaphoyisa, umyeni uze wazinikela emuva kokuboshwa komkakhe.

Uthe inkantolo kumele ibaphathe kahle ngoba necala bazolivuma ngakho ibheyili ingabekwa ku-R5 000 kuya ku-R10 000 ibe nemibandela futhi bahlala eduze kwesiteshi samaphoyisa esisePhoyinti lapho bengayozibika khona kanye ngosuku.

Imantshi ivele yathi uyinyathele emsileni uma ethi bazolivuma icala ngoba lokhu kusho ukuthi inkantolo ayingabe isabubheka ubumsulwa babo ngakho-ke basazotoka ibheyili bazoze bayicele ngoMashi 9.

Bazogcinwa ezitokisini zasePinetown ukuze babe seduze nomphenyi wecala.

Abazali bengane uNksz Tania Sewpersad noMnuz Hasan Moosa baseTshelimnyama bathe bajabule ukuthi ingane yabo isitholakale yize kubuhlungu ukuthi abasolwa bayishushumbisa bathola u-R5 000 ne-heater.

Engxoxweni ekhethekile neSolezwe, uMoosa uthe elinye igama lakhe nguKhayelihle kodwa wakhula ebiza isibongo sakwaMoosa.

“Ngiyajabula ukuthi ingane yami itholakele ngoba bayithatha inezinyanga eziyisishiyagalombili manje inezingu-11 njengoba isitholakele. Siyabonga ukuthi amaphoyisa alusukumele udaba lwethu kwaze kwaboshwa abashushumbisa izingane. Siyathemba ukuthi imantshi izokhipha isigwebo esiqinile babhadle iminyaka ejele ngesenzo sabo,” kusho uMoosa.

Uthe bahlangana esitolo kwaQuality benoNksz Sewpersad lapho ayeshaya khona umshini yena efaka amanani empahleni yasesitolo. Banezingane ezine zabafana, eneminyaka eyisithupha, enemithathu, enezinyanga ezingu-11 ebilahlekile nosana olunezinsuku ezimbili.

UMoosa ungumakhi kanti owakwakhe usafuna amatoho. Bathe bahlela ukushada ngoDisemba nonyaka.

Kuvele unjiniyela oyisipoki kumasipala

$
0
0

Yethuke kwaphela nasozwaneni indoda yaseBhekuzulu ozidlela imbuya ngothi ngesikhathi itshelwa ukuthi ingunjiniyela.

|||

MLUNGISI GUMEDE

YETHUKE kwaphela nasozwaneni indoda yaseBhekuzulu, eVryheid, ozidlela imbuya ngothi ngesikhathi itshelwa ukuthi ingunjiniyela oqashwe ngokugcwele wumasipala waseBaqulusini.

UMnuz Sibusiso Masondo (48) ongasebenzi futhi ozihlalela endlini yomxhaso uthe wayeyokhokhela ugesi emkhandlwini waseBaqulusini ngo-2013, ngesikhathi owesifazane owayemsiza emtshela ukuthi ngokwemininingwane yabo kumasipala yena uqashwe yibona njengo njiniyela.

“Ngamtshela ukuthi angisebenzi mina ngiyazihluphekela. wathi nginamanga ngingunjiniyela futhi sekuneminyaka emithathu ngiqashwe wumkhandlu. ngamcela ukuthi angikhiphele lelo pheshana eliqinisekisa ukuthi ngisebenza emkhandlwini. wanginika ngahamba ngayo vula icala emaphoyiseni aseVryheid,” usho kanje.

UMasondo uthe akakaze asebenze kulo mkhandlu futhi akakaze aze afake ngisho isicelo somsebenzi.

“Ngisola ukuthi bathola imininingwane yami ngesikhathi ngibhalisela indlu yomxhaso,” usho kanje.

Isolezwe linayo ikhophi eliyithunyelelwe nguMasondo eveza ukuthi uqashwe ngumasipala njengonjiniyela ohlola izindawo.

Kule khophi kukhona nenombolo ahola ngayo khona emkhandlwini.

Uphenyo olwenziwe yiphephandaba luveza ukuthi bakhona nabanye abasebenzi “abayizipoki” okuvela ukuthi basebenza kuMasipala waseBaqulusini.

Baqala ukuvela ngesikhathi kunesiteleka sabasebenzi inkantolo eyayikade ikhiphe umyalelo wokuthi bangateleki. Ohlwini lwamagama abasebenzi ababengenele isiteleka kwavela namagama angaphezu kuka-20 abasebenzi ababeqashwe wumkhandlu kodwa asebashona kodwa imininingwane yabo esasetshenziswa wumasipala waseBaqulusini.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, uthe likhona icala elavulwa esiteshini samaphoyisa eVryheid kodwa okungacaci ukuthi lagcina liphelele kuphi.

UMasondo uthe umseshi wecala wamtshela ukuthi umkhandlu wenze iphutha.

Okhulumela ikhokhasi yamakhansela e-IFP kumasipala waseBaqulusini, uMnuz Jerry Sibiya, unxuse ukuthi kwenziwe uphenyo mayelana nezinsolo zokuthi kunabasebenzi abayizipoki emkhandlwini wabo.

“Udaba lukaMasondo siyalwazi, akusiye yedwa bakhona nabanye abasebenzi asebashona abangaphezu kuka-20 kodwa okuvela ukuthi iminingingwane yabo isasetshenziswa emkhandlwini. lokhu kwavela ngesikhathi kunesiteleka sabasebenzi,” usho kanje.

USibiya uthe kuyacaca ukuthi kunezikhulu emkhandlwini ezidla imali yezipoki.

“Sikhuluma nje umkhandlu ungaphansi komsingathi owajutshwa wuNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube ngenxa yokuthi umasipala awenzi kahle,” usho kanje.

Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMnuz Anold Ramodi, okhulumela umkhandlu, ayizange iphumelele izolo ngoba ucingo lwakhe beluvaliwe kanti aluyithathi imiyalezo.

Imizamo yokuthola lowo osingethe umasipala, uMnuz TL Manda, ayizange iphumelele izingcingo zakhe ezimbili bezivaliwe.

UMnuz Lenox Mabaso, okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, naye akazange atholakale ukuthi aphawule ngoba ucingo lakhe belukhala lungabanjwa.

Kusolwa abewunga ngowesilisa odukile

$
0
0

Uphithene amakhanda umndeni wowesilisa waseLovu okusolwa ukuthi ubulewe abantu abesebenzisana nabo ekudayiseni iwunga.

|||

LUNGI LANGA

UPHITHENE amakhanda umndeni wowesilisa waseLovu ezindlini ezintsha ezingakwaC okusolwa ukuthi ubulewe abantu abesebenzisana nabo ekudayiseni iwunga okuthiwa bamlande kubo befuna u-R500 wemali ayisebenzile ebadayisela iwunga.

Umndeni kaMnuz Sibusiso Mngadi (27), osekuphele amasonto amabili enyamalele uthi awusakwazi nokulala emuva kokuthathwa kwendodana yawo, othe ubungazi nokuthi iwumshungu wabadayisa iwunga endaweni.

Uyise kaSibusiso, uMnuz David Bonginkosi Mngadi (66), utshele Isolezwe ukuthi usegqigqa emakhazeni ezama ukuthola isidumbu sendodana yakhe kodwa kunhlanga zimuka nomoya.

Kuthiwa kwafika abesilisa ababili ebusuku ngoFebhuwari 23 ekubo uSibusiso bambizela ngaphandle.

“Ngesikhathi kungqongqoza laba bantu bethi bacela uSbu asizange simangale ngoba bekuvamile ukuthi abangani bakhe bafike bezomfuna. Sikhathazeke ngoba sibona engabuyi kodwa sazitshela ukuthi uzobuya sesilele wagcina engabuyanga,” kusho uMngadi.

Uthe ukusa kubonwe nguye eyobuza umngani wakhe omkhulu ukuthi ngabe akazange ambone yini.

Umngani wakhe uthe umbikele ukuthi selokhu emgcine egoduka ethi uyodla kungakashayi ihora lesishiyagalombili.

UMngadi uthe ube esebikela amaphoyisa ngoLwesithathu ngoba ebona uSibusiso engabuyi ekhaya.

Ngalo uLwesithathu bathole ukuthi indodana yakhe kungenzeka ukuthi ibulewe.

“Sithole komunye wabangani bakhe ukuthi ushaywe abafana baseMlazi abebadayisela izidakamizwa.

Laba bafana kuthiwa bebefuna imali yazo izidakamizwa ebishoda ngo-R500. Kuthiwa bashaye omunye umngani wakhe bamphoqa ukuba abakhombise kubo kaSbu nangempela wabakhombisa. Babe sebemthatha behamba naye. Sizwe omunye umfana obengumngani wakhe ethi ubabonile bemshaya. Usitshele ukuthi omunye uze wamthinta ngonyawo ezama ukubheka ukuthi usaphila yini,” kusho uMngadi.

Uthe bathole ngomngani wakhe ukuthi laba bafana babuye bamtshela ukuthi bebethi bayamthusa base beyambulala.

UMngadi uthe kubaxakile lokhu ngoba bebengazitsheli ukuthi uSibusiso angabandakanyeka ekudayisweni kwezidakamizwa. Uthe bebemazi engumfana olungile okungangokuthi ubetshala izimbali khona ekhaya nakomakhelwane. Ubevame ukugundela omakhelwane utshani. Ubesanda kuthola nomsebenzi wokwenza ipaki ngakubo.

Udadewabo kaSibusiso uNksz Busisiwe Mngadi (25) uthe sebesaba ngisho ukulala ekhaya emuva kokuthathwa kukamfowabo.

Uthe abaziboni bephephile ngoba yize sekukhona umfana othathwe amaphoyisa nokushilo okwenzeka kodwa akekho noyedwa osaboshiwe kubasolwa.

Okhulumela amaphoyisa uMajor Thulani Zwane uthe bazokwazi ukuphawula namuhla ngalolu daba.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>