INKOSI yaseThembezinhle ithi ngeke ize imangale uma abaseBuhleni benqaba ukulandela isinqumo senkantolo uma icala lobuholi eliseNkantolo eNkulu yaseThekwini libalahla ngoba behluleka kwasekuqaleni ukulandela umyalelo woThingolwenkosazana.
|||SIMPHIWE NDWANDWE
Ebika eseNhlangakazi
INKOSI yaseThembezinhle ithi ngeke ize imangale uma abaseBuhleni benqaba ukulandela isinqumo senkantolo uma icala lobuholi eliseNkantolo eNkulu yaseThekwini libalahla ngoba behluleka kwasekuqaleni ukulandela umyalelo woThingolwenkosazana.
INkosi uVela Shembe ibikhuluma izolo ngesikhathi kunomgidi wokugcina entabeni iNhlangakazi, eNdwedwe.
“Ngeke ngize ngethuke ngoba vele sizithola silapha esikhona nje kumanje yingoba behluleka ukulalela umyalelo woThingo. Uma umyalelo woThingo umkhulu kangaka wedlula owezinkantolo ngicabanga ukuthi ngeke kube yinto emangazayo uma bengahambisani nowezinkantolo,” kusho iNkosi uVela.
Ukuphawula kweNkosi uVela kumayelana nombango wokuhola ibandla iNazareth Baptist Church osenkantolo lapho kumele kucace ukuthi ngubani umholi ongu-ngqo phakathi kweNkosi uVela, ehola uhlangothi lwaseThembezinhle, eMthwalume, neNkosi uMduduzi Shembe ohola uhlangothi lwaseBuhleni, eNanda.
Icala libuyela enkantolo ngoFebhuwari 4, nonyaka lapho kulindeleke ukuthi uchwepheshe wokucubungula okubhalwe ngesandla angene ebhokisini lapho ezokwethula khona ubufakazi. Uma kuqedwa ukwethulwa kwalobu bufakazi kulindeleke ukuthi uhlangothi lwaseBuhleni luqale lwethule ofakazi balo ukuze luphekwe ngemibuzo.
Umbango waqubuka ngesikhathi kutshalwa iNkosi eyakhothama uVimbeni Shembe okwathi mhla ifihlwa kwamemezelwa la makhosi womabili ukuthi kumele ahole ibandla.
Ephawula ngohambo lwabo lwasentabeni okokuqala selokhu athatha isihlalo sobukhosi nyakenye, iNkosi uVela uthe bajabule kakhulu ukuthi bakwazi ukwenza konke ngaphandle kokuphazanyiswa.
Uthe ukungabi bikho kweziyaluyalu namathizethize abengaphazamisa kusho ngokusobala ukuthi uhambo lwabo lubusisiwe.
Banyukela kule ntaba ngoMsombuluko owedlule kulandela ukuthi abasekuPhakameni sebeqede isikhathi sabo kuyo leya ntaba esemqoka emlandweni waleli bandla elinamalungu alinganiselwa ngaphezulu kuka-7 million.
Kulindeleke ukuthi behle namuhla bese uhlangothi lwaseBuhleni lulungiselela ukwenyuka. Lolu hlangothi lunezinkumbi zabalandeli njengoba uma kwenyuka lona kubamhlophe amaqele nemigwaqo ngenxa yemiNazaretha yamalungu alolu hlangothi amaningi.
Entabeni bebengabaningi ngendlela ebabazekayo abantu kodwa bekuvunguza umoya wokuzwana nokuthobelana kumalungu aseThembezinhle.
Izolo umgidi ubudla lubi ngisho iNkosi uVela iqephuza igida neziNhlalisuthi, Amakhosazana neNgudlungudlu.
Amaphoyisa isimo abesiqaphe ngelokhozi enkanise kuzo zonke izingxenye ezingena entabeni iNhlangakazi.