Quantcast
Channel: IOL section Feed for Izindaba
Viewing all 5089 articles
Browse latest View live

Amatekisi akhala ngegwinya le-Afcon

$
0
0

BAYAVEVA osomatekisi baKwaZulu-Natal abebenethemba lokuthi nabo bazohlomula njengoba iNingizimu Afrika izobamba imidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon), eqala kusasa.

|||

SIMPHIWE NGUBANE

BAYAVEVA osomatekisi baKwaZulu-Natal abebenethemba lokuthi nabo bazohlomula njengoba iNingizimu Afrika izobamba imidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon), eqala kusasa.

Izinhlangano zamatekisi, okubalwa kuzo i-South African National Taxi Council (Santaco), KwaZulu-Natal Transport Alliance (KZNTA) neTop Six, zishiye ezingalazi ekomidini elihlela le midlalo, iLocal Organising Committee (LOC), ngokubavalela kwayo ngaphandle.

Bathi yize nabo bengezinye zezindlela ezibalulekile zokuthutha umphakathi kodwa iLOC ibashaye indiva, yakhetha abamabhasi nezitimela.

Bafanise okwenziwe yileli komidi nokwakwenziwa wuhulumeni wangesikhathi sobandlululo okwakuthi uma kunemicimbi emikhulu abantu abamnyama bangabonelelwa ngalutho.

Unobhala we-KZNTA, uMnuz Bafana Mhlongo, uthe babekade bethenjisiwe ukuthi bazothola intshontsho ngokusingathwa kwalo mqhudelwano kodwa sekuyabakhanyela ukuthi uhulumeni akanandaba nale mboni.

“Sikhishwa inyumbazane. Asinakiwe kodwa solithola ithuba lokukhombisa uhulumeni ukuthi sikhona nathi ngoba siyabona ukuthi usesikhohliwe.

“(Induku) siyithukuse emqubeni, sovuka konakale izinto,” kusho uMhlongo ngentukuthelo.

UMnuz Big-boy Dladla onguSihlalo we-Top Six uthe bebenethemba lokuthi umasipala weTheku ne-LOC uzobabiza ukuthi bazothutha umphakathi ngesikhathi semidlalo kodwa akwenzekanga.

Uqhube wathi okwenzekayo akubamangazi kakhulu ngoba kwenzeka into efanayo bevalelwa ngaphandle ngesikhathi semidlalo yeNdebe yoMhlaba ngo-2010 nangesikhathi sengqungquthela yesivuvujikelele, iCop 17, ngo-2011.

“Yithina esithutha abantu abaningi ngezimoto zethu kodwa uma sekumele senze lokhu uma kunemicimbi, asinakwa.

“Sithule sibheke isiphetho sale nto eyenzekayo. Besazi ukuthi bebengeke bashiywe ngaphandle abamabhasi nezitimela,” kusho uDladla.

Inhlangano elawula ibhola lezinyawo e-Afrika i-Confederation of African Footbal (CAF) ne-LOC benze isivumelwano sokusebenzisana nabezitimela i-Passenger Rail Agency of South Africa.

I-KZN inikwe izitimela zamahhala ezingu-26 ezizothutha abalandeli bebhola abanamathikithi besuka emalokishini aseThekwini, uMashu noMlazi, zibase eMoses Mabhida Stadium.

Abe-LOC bathe isitimela ngasinye sizothwala abantu abangu-2 000.

Lokhu kuthukuthelise unobhala weSantaco kuzwelonke, uMnuz Philip Taaibosch. Uthe bashaywe udume lwengozi ngokukhishwa kwezitimela ezingaka ekubeni bona bengeke bahlomule lutho.

“Siphoxekile ukuthi ngalesi sikhathi senkululeko i-LOC nohulumeni abayihloniphi futhi kushaywa ngesithende imboni yamatekisi njengoba kwakwenziwa ngasikhathi sobandlululo. Ngeke siphele moya, sizoqhubeka sihambele amarenki sinxenxe abagibeli bethu ukuthi bathenge amathikithi baye ezinkundleni ngesikhathi semidlalo ye-Afcon,” kusho uTaiabosch, othe bavalelwe ngaphandle ezingxoxweni wuhulumeni.

Usihlalo we-LOC e-KZN, uMnuz Vusi Mazibuko, uthe izolo babekade bebatshelile abemboni yamatekisi ukuthi ngeke zibe khona izindawo zokugibelisa abalandeli uma beya noma bebuya enkundleni kodwa zikhona izinhlelo zokubahlomulisa abanazo.

Akathandanga ukunaba ukuthi yibaphi osomatekisi abazohlomula. Uthe uyayihlonipha le mboni futhi basazimisele ukusebenzisana nayo ngemuva komqhudelwano.

“Akuzona zonke izindawo ezinemizila yesitimela ngakho sizowadinga amatekisi ukuthi alekelele ekuthuthweni kwabantu. Akulula ukuthi ngisho ukuthi ngobani esikhulume nabo embonini yamatekisi,” kusho uMazibuko.


Bayangunuza ngokufa kuka‘Bhunu’

$
0
0

Sekuqubuke ukubhekana ngeziqu zamehlo emndenini womgadli owayewunyazi kuMaZulu, odutshulwe ngabaphangi kwakhe |eMlazi ngeledlule.

|||

SIMPHIWE NDWANDWE

sEKUQUBUKE ukubhekana ngeziqu zamehlo emndenini womgadli owayewunyazi kuMaZulu, odutshulwe ngabaphangi kwakhe eMlazi ngeledlule.

Isihlobo sikaJerome “Bhunu” Hlengwa (56) esicele ukungadalulwa ngoba kunokuphambana emndenini, sithe uhlaselwe enomkakhe nesisebenzi sasendlini.

“Ubegula esanqunywa ngisho umlenze ngenxa yesifo sikashukela. Abaphangi bangene kwakhe kukhona umkakhe endlini nesisebenzi. Okuxakayo ukuthi wukuthi akaze bathathe lutho olutheni kodwa umufi udutshulwe amahlandla ayisihlanu ekhanda nelilodwa esifubeni.

“Kuyasimangaza lokhu ngoba uma izigebengu bezizophanga ubengaziphazamisa kanjani engakwazi ukuhamba kahle futhi enomlenze owodwa futhi engahlomile?

“Sebengaze bamdubule amahlandla amahlanu ekhanda kanti yini lena engaka abeyenzile ezigebengwini?” kubabaza lesi sihlobo.

Sithe isimo sishubile emndenini ngoba kunemibuzo equbukayo ngokufa kukaHlengwa.

Ikhono lakhe ebholeni laqala ukugqama esagijima ku-Richmond Junior Aces ngaphambi kokuyobhubhisa izizwe oSuthwini lapho ayedabula inethi kungabi ndaba zamuntu.

Waduma kakhulu ngeminyaka yo-1980.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Vincent Mdunge, uthe kusaphenywa akekho oseboshiwe.

Uthe bazi ukuthi bebebabili abahlaseli.

Inkonzo yokumphelezela izoba kwa-AA ehholo bese kwedlulelwa emathuneni aseMobeni Heights lapho ezolothiswa khona.

Ushiye abantwana abathathu nenkosikazi yakhe.

n Khonamanjalo, uGeorge “Phathiwisa” Mthembu, oshone ngoLwesibili ngemuva kokuxinwa wukugula, uzofihlwa kusasa eNanda, eThekwini.

UMthembu wayevala kuthule umoya emuva ngesikhathi esadlala kwi-African Wanderers ngeminyaka yo-1970.

Ingozi yezimoto idlule nomakhelwane (7)

$
0
0

Lishone elangoMgqibelo kumuncu kubantu baseSweetwaters, eMgungundlovu, emuva kokushona kwabantu abayisikhombisa engozini yokushayisana kwezimoto obekukhona kubo abebebuya kobuka umdlalo weBafana Bafana neCape Verde.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

LISHONE elangoMgqibelo kumuncu kubantu baseSweetwaters, eMgungundlovu, emuva kokushona kwabantu abayisikhombisa engozini yokushayisana kwezimoto obekukhona kubo abebebuya kobuka umdlalo weBafana Bafana neCape Verde.

Isibhicongo sengozi senzeke ngakwaMpumuza, emgwaqweni waseCaluza lapho kushayisane khona i-VW Golf neVW Fox.

Kushone umnikazi wendawo yokucima ukoma iPhumies Tavern, eSweetwaters, uMnuz Malulu Mpulo (45), Mnuz Themba Mkhize (47), abebengabadlali beziginci; Mnuz Daluxolo Shange, Mnuz Skhumbuzo Zondi, Mnuz Sboniso Ndlovu (24), okuthiwa bebebuya kobuka umdlalo weBafana; uMnuz Sphamandla Sokhela noMnuz Mthobisi Sibisi.

Umshayeli wenye yezimoto, uMnuz Thabani Lushaba, ulaliswe esibhedlela nabanye ababili okuthiwa ngoSmanga noZazi abebehamba nge-V W Fox.

Sebebonke abantu abashone ezingozini zomgwaqo KwaZulu-Natal ngempelasonto bangu 18.

Imindeni elahlekelwe yizihlobo zayo engozini yaseMgungundlovu ithe ifuna incazelo egcwele ngokwenzekile.

IVW Golf ibihamba abantu abane kwashona kuyo abathathu kwasinda umshayeli.

Ngokuthola kweSolezwe labo abebehamba ngeGolf bebesendleleni bebuyela emakhaya eSweetwaters emuva kokubukela umdlalo weBafana endaweni ethile, kanti iVW Fox yona ibiphuma eSweetwaters ilayishe amalungu ebhendi abeziqeqesha.

Isolezwe livakashele imindeni ebisashaqekile ngale ngozi izolo lathola ukuthi iningi labashonile lingomakhelwane eSweetwaters.

Ugogo kamshayeli wegalofu osindile, uNkk Grace Lushaba, uthe akazi uzoyibhekelwa wubani imindeni yabashonile behamba nomzukulu wakhe kuyobukwa ibhola.

“Angazi ngizoyithini le ndaba. Okubuhlungu wukuthi abangani bakhe bonke laba akade ehamba nabo beyobuka ibhola. bekuyinto abayithandayo. Ngimficile esesibhedlela uyakhuluma kodwa akucaci kahle ukuthi le ngozi yenzeke kanjani ngempela,” kusho uNkk Lushaba.

Umndeni kaMpulo uthe umfowabo ubengaphuzi nhlobo yize ebene-tavern. into abeyikhonzile wukudlala umculo weJazz njengoba kade beqeda ukudlala nabangani bakhe esebahambisa emakhaya.

Udadewabo kaMpulo, uNksz Sthembile Mpulo, uthe ufuna ukuthola iqiniso ngale ngozi.

UNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni, uMnuz Willies Mchunu uthe ushaqekile ngesibalo esiphezulu sabantu abashone emgwaqweni isikhathi samaholidi sesidlulile.

“Akukholakali futhi akwamukelekile ukuthi abantu abangu-18 bashone ezingozini zomgwaqo ngezinsuku ezimbili kuphela. Emuva kokulahlekelwa ngabantu abangaphezu kuka-200 ngamaholidi ngikuthola kunzima ukuthi isifundazwe sisalahlekelwa ngabanye abantu emgwaqweni. Nginxusa bonke abasebenzisa umgwaqo ukuthi beqikelele bahloniphe nemithetho yasemigwaqweni. Siyazwelana kakhulu nemindeni elahlekelwe,”kusho uMnchunu.

UNgqongqoshe uphinde wagcizelela uukukhathazeka ngabantu abaqhubeka nokushayela bephuzile.

Luhambe ezinyathelweni zikaMqali

$
0
0

Umholi wamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni wenze obese kungajwayelekile ngesikhathi kuqala uhambo lwezinkulungwane zamalungu aleli bandla olubheke entabeni iNhlangakazi izolo.

|||

BAWINILE NGCOBO

UNYAZI LWEZULU, umholi wamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni lwenze obese kungajwayelekile ngesikhathi kuqala uhambo lwezinkulungwane zamalungu aleli bandla olubheke entabeni iNhlangakazi izolo.

UMnuz Mduduzi Shembe, Unyazi lwezulu luhambe ibanga elide ngezinyawo, lusuka eBuhleni esigodlweni laze layofika endaweni okuthiwa iseMatsheketsheni lihola ibandla njengoba bekuqala uhambo lokuya entabeni engcwele.

Okhulumela abaseBuhleni uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe lokhu okwenziwe uNyazi kuyinto eyayenziwa nguMqali weNdlela, umholi wokuqala wakwaShembe.

“Uvusa okukaMqali weNdlela, uShembe wokuqala. Usezihambele zonke izindawo, kubuye umsunguli webandla,” kusho uMncwabe.

Uthe lolu hambo lwabo olokubuyisa ama-Afrika, lufana nolukaMose ekhipha abantwana bakwa-Israel eGibhithe ebayisa ezweni lesethembiso.

UMncwabe uthe sekuphume iNkanyamba njengoba uNyazi luqale lolu hambo nebandla izolo.

“Uma kuzophuma umuntu omdala, izingane ziqale zibhule amazolo. Sebesibhulele amazolo,” kusho uMncwabe.

Uthe abantu bayoze bafike entabeni ngoLwesibili ekuseni bese kuba nemigubho khona entabeni kanti bazokwehla ngoMsombu-luko ozayo.

Lolu hambo luqalwe uhlangothi lwaseku-Phakameni, kwalandela iThembe-zinhle, kweza abaseGinyezi-nye njengoba sekuwuhla-ngothi lwaseBuhleni.

Abantu bakuleli bandla kukhona lapho bebefike bakhe khona utshani bakhe inkatha bese becosha amatshe bawathwale emakhanda.

UMncwabe uthe lokhu kuyisifungo sokuthi umuntu uyohlala endlini kaJehova.

Amalungu aleli bandla abephume ngobuningi yize ilanga belishisa likhipha umkhovu etsheni, izimoto bezishaye ujenga zibuye zime zicishwe ngenhla yesiminyaminya nokugcwala komgwaqo.

Amaphoyisa abekanisile eqaphe ezokuphepha yize awomgwaqo abengabonwa ukulawula ukuhamba kwezimoto njengoba bekubonakala ezinye sezizakhele eminye imizila yazo zivimba eziza ngaphambili.

Izingane zesikole nabazoya emsebenzini namuhla bafike babeka amatshe nenkatha yawo endaweni ebekelwe lokhu base bephindela emuva.

UMnuz Guqukani Shazi waseZinqoleni kodwa ohlala eTehuis, ehostela, uthe ubengeke asale kuqala uhambo oluya entabeni eyingcwele yize eya emsebenzini namuhla.

“Ngifike ngashiya itshe nenkatha ngakhulekela abangasekho basekhaya, ngazikhulekela nami,” kuchaza uShazi.

Abantu baseMzinyathi naseNgonweni lapho kudlula khona abasuke beya eNhlangakazi bathole ithuba lokwenza imali njengoba bebedayisa iziphuzo nokudla okunhlobonhlobo.

Bebecela umnikelo ngisho bezophuzisa umuntu amanzi.

Imikhiqizo yaleli bandla, Ikhaya ibidayiswa nayo, iphalishi, amanzi novaselina.

UMncwabe uthe abantu bayanxuswa ukuthi bayithenge le mikhiqizo ngoba ayibizi.

Ubuyele kwaMatric owadutshulwa ezobhala

$
0
0

IBHUNGU laseNanda elalimala kanzima lidutshulwa liphuma kotadisha sekubalwa izinsuku liqale ukubhala uMatric ngonyaka odlule livuke lazithatha labuyela esikoleni nonyaka.

|||

BAWINILE NGCOBO

IBHUNGU laseNanda elalimala kanzima lidutshulwa liphuma kotadisha sekubalwa izinsuku liqale ukubhala uMatric ngonyaka odlule livuke lazithatha labuyela esikoleni nonyaka.

USiyethemba “Nhle” Makhoba (18) waseNanda wadutshulwa ezoqala izivivinyo zikaMatric ngabantu abangaziwa waphuthunyiswa esibhedlela esephefumula ngemishini kungathembisi ukuthi uzosinda. Kulo nyaka leli bhungu liphakathi kwabafundi abenza uMatric.

UMakhoba ofunda Ohlange High uthe ubonga uNkulunkulu ngokuthi usadla anhlamvana namuhla ngoba wayelimele kakhulu.

“Inhlamvu yayingene esiqhomeni yayobhajwa esifubeni la yakhishwa khona ngasenhliziyweni,” kuchaza uMakhoba.

Walimala ehamba nabangani bakhe bephuma lapho babefunda khona belungiselela izivivinyo, baphucwa amaselula, yena wadutshulwa.

“Ukudutshulwa noma ukwenzakaliswa ngenxa yobugebengu kwakuyinto engangiyibukela kude kunami, ngangihlale ngizwa kodwa ngingazitsheli ukuthi kuyoke kwenzeke kimi. Ngoba siphila elokishini, izinto ezinje ziyenzeka,” kusho uMakhoba.

Uthe wayengakaze azibone engena esibhedlela kodwa lesi sigameko simfake phakathi impilo yakhe isisengcupheni kakhulu, esebhekene nokufa ngqo.

Uthe lesi sigameko simusalelise emuva ngoba kulo nyaka ngabe useqalile eNyuvesi wenza izifundo zeSocial Worker kodwa usephinda uMatric.

“Benginethemba lokuthi ngizokwazi ukubhala ngoMashi ngoba ngase ngivele ngizilungiselele izivivinyo kodwa kuzobonakala,” kusho uMakhoba.

Uthe lesi sehlo ngeke asivumele simvimbe ekufezeni izifiso zakhe.

“Ngizoqhubeka nezifundo zami ngoba ngiyazi ukuthi angikho ndawo ngaphandle kwemfundo,” kusho uMakhoba.

Uthe yize abangani bakhe sebengaphambili kwakhe ngokwezifundo, akanankinga ngoba naye usaqhubeka nezifundo zakhe.

UMakhoba uthe uzizwa ephile kahle yize uma kumakhaza noma kushisa kakhulu kubuye kube buhlungu lapho athungwa khona ngesikhathi kukhishwa inhlamvu.

Uthe kuze kube yimanje akukaze kuboshwe muntu ngokulimala kwakhe nokubanjwa inkunzi.

Ukwesaba ngendlu eqhekekayo

$
0
0

Uhlalele ovalweni lokuthi ingase idilike noma yinini indlu yawo yomxhaso umndeni wakwa-Ntenza eMount Moriah, eThekwini.

|||

BONISWA MOHALE

UHLALELE ovalelweni lokuthi ingase idilike noma yinini indlu yawo yomxhaso umndeni wakwa-Ntenza eMount Moriah, eThekwini.

Indlu ehlala lo mndeni iqhekeke kusukela ezindongeni, isisekelo sayo ngisho nasemawindini. Ngokusho kukaNksz Nonhlanhla Ntenza (38) indlu yakhe iqale ukuqhekeka ngo-Januwari ka-2011 ineminke-nke ngisho phansi odongeni. Uthe walubika lolu daba kwase kubuya inkontileka eyayakha izolungisa.

“Bafike bafaka usimende bangitshela ukuthi yilokhu kuphela abangakwenza. Kube sekufika unjiniyela owangitshela ukuthi le ndlu yakhiwe endaweni engafanele yingakho iqhekeka ngoba umhlaba awufanele. Ngatshelwa ukuthi ngizokwakhelwa kwenye indawo kodwa namanje angikaboni lutho,” kusho uNksz Ntenza.

Uthe akazi ukuthi enze njani ngoba ngisho ezama ukuphesha izindonga ngosimende kunhlanga zimuka nomoya, izindonga ziyaqhubeka nokuqhekeka.

“Uma lina sivele singazi ukuthi senzenjani nezingane ngoba le ndlu ingawa noma yinini. Angisazi ukuthi ngenze njani ngoba udaba lwami selokhu ngalubika kusukela ngoJanuwari 2011 kodwa namanje lutho umnyakazo,” kuchaza ngokukhathazeka uNksz Ntenza.

Uthe usesabela izingane zakhe ukuthi zizopitshizwa wudonga ngoba uma kuna isimo siba sibi noma kunomoya bayethuka ngoba uqhekeko luyanda.

UMnuz Thabo Mofokeng obhekelele ezokuxhumana kuMasipala weTheku uthe ihhovisi likaMnuz Nigel Gumede oyiNhloko yoPhiko lwezezindlu kuMasipala weTheku belungazi ngalolu daba.

Ucele ukuba umndeni wakwaNtenza uxhumane naboPhiko loMnyango wezezindlu ukuze bezothumela abantu abazoyohlola umonakalo bese besiza lo mndeni.

Kuphume nesinedolo emngcwabeni kaStix

$
0
0

Uphenduke umbuthano we-ANC umngcwabo kaMnuz Nduduzo “Stix” Mdletshe, obenguSihlalo wenhlangano yomakadebona bamasosha oMkhonto weSizwe ebiseCity Hall, eThekwini, izolo.

|||

SIMPHIWE NGUBANE

UPHENDUKE umbuthano we-ANC umngcwabo kaMnuz Nduduzo “Stix” Mdletshe (40), (osesithombeni) obenguSihlalo wenhlangano yomakadebona bamasosha oMkhonto weSizwe ebiseCity Hall, eThekwini, izolo.

Khona abebebeke amatafula amakhulu ngaphandle bedayisa izimpahla ze-ANC. ngisho nomfundisi obephethe inkonzo ehholo ubebuye azwakale esencenga abaholi beqembu elibusayo abebekhona ukuthi benze obekwenziwa nguMdletshe basheshise uhlelo lokulethwa kwezidingongqangi zabantu. Uthe ngabantu abasemagatsheni abababeka ezikhundleni zokuphatha eMangaung ngoDisemba nyakenye.

Izinkulungwane zabantu ebezihambele umgcwabo bezicula amaculo omzabalazo, zikhuza iziqubulo, amasosha ehamba phansi ngezisu echaza umufi njengeqhawe ebelinesibindi.

Bekukhona nalowo owayengukhomishana wamaphoyisa kuzwelonke, uMnuz Bheki Cele obekuthi uma kudlalwa iculo lo mzabalazo agide kakhulu.

Izikhulumi ebezishintshana zichaze uMdletshe njengomuntu obenakekela abaswele kunaye. Kuthiwa ubenza ngakho konke okusemandleni akhe ukuthuthukisa imindeni nezingane zamasosha adonsa kanzima enhlanganweni esifundeni iJerome Langa Region.

UMvelo Mdletshe (16), indodana kamufi, ufanise ukufa kukayise njengokuwa kwensika yekhaya. Uthe impilo izoshintsha engasekho uyise ngoba ubeyiqhawe lawo wonke umuntu futhi ewuthanda umndeni wakhe.

“Ubeyikho konke kithina, esenzela konke esikudingayo futhi esiza nabanye abantu bakweminye imindeni. Ubewumuntu wabantu, egcwele imfundiso futhi enesibindi. Ubesesinde ezingozini zomgwaqo nangesikhathi edutshulwa kodwa ekugcineni wafa ngamanzi,” kuchaza uMvelo othe bayohlala bemkhumbula njalo uyise.

UMdletshe uminze edamini eNanda ngoJanuwari 6 kade bentweza ngesikebhe esisha ceke beqeda kuba nomhlangano nabanye abangani abahlanu. Sebephakathi nedamu kuthiwa bakhumula amajakhethi okubhukuda bagxumela emanzini kodwa uMdletshe wahlangabezana nobunzima esehluleka ukubuyela esikebheni waminza.

Umufi wazalelwa KwaMashu waya ekudingisweni eZambia, Zimbabwe naseTanzania ngo-1989. waqeqeshwa yinhlangano ukulwa nohulumeni wengcindezelo, waze wabuya ngo-1994. Uqokelwe esikhundleni ashone esiphethe ngo-2011.

Umufi ushiye emhlabeni umkakhe nezingane ezinhlanu nabazali bakhe. Ungcwatshwe emathuneni iHoroes Acre eChesterville.

Kume nse ukusebenza kwamabhasi

$
0
0

UMPHAKATHI waseMpumalanga, eHammarsdale, izolo, uvuke umbhejazane wamisa amabhasi akwa-KZT ngemuva kokuthi abanikazi bawo bethathe isinqumo sokwenyusa imali yokugibela ngaphandle kokuxoxisana nawo.

|||

MLUNGISI GUMEDE

UMPHAKATHI waseMpumalanga, eHammarsdale, izolo, uvuke umbhejazane wamisa amabhasi akwa-KZT ngemuva kokuthi abanikazi bawo bethathe isinqumo sokwenyusa imali yokugibela ngaphandle kokuxoxisana nawo.

Iqulu lamalungu omphakathi izolo ligasele esikhumulweni samabhasi, lavala amasango ngenhloso yokuzwakalisa ulaka lwalo.

Leli qulu kuthiwa liphinde latitinya abantu abebelinde amabhasi ezitobhini ekuseni, laphinde ladabula namathikithi abo okugibela.

Kubikwe nokuthi ibhasi elidayisa amakhuphoni lihlaseliwe ngeSonto, umshayeli wayo wabaleka wayobhaca esiteshini samaphoyisa.

Ngokuthola kweSolezwe, umphakathi uthathe isinyathelo sokudala uthuthuva ngemuva kokuthi uchungechunge lwezingxoxo zokubonisana mayelana nokwenyuswa kwemali zingaphumelelanga.

Abagibeli bamabhasi bakhala ngokuthi imali yenyuswe ngokwedlulele, ngesonto sekungu-R152 ukusuka eMpumalanga uya eThekwini, phambilini bekungu-R136.

Uma ugibela ibhasi ungenalo ithikithi usuka eMpumalanga uya eThekwini manje sekungu-R24.50 kanti phambilini bekungu-R19.

Le mali ekhokhwa umuntu osuke engenalo ithikithi ibiza kakhulu ukwedlula ngisho ukugibela itekisi yona ewu-R18.

UMnuz Sanele Bhengu oyilungu lomphakathi, uthe abanikazi bamabhasi abawuhloniphi umphakathi yingakho bevele banyuse imali yokugibela ngaphandle kokuxoxisana nawo.

Uthe sebethathe isinqumo sokumisa ukusebenza kwamabhasi kuze kube imali yokugibela iyehliswa.

“Kumele ngabe abanikazi bamabhasi bayasihlonipha siwumphakathi ngoba yithina esenza ukuthi ibhizinisi labo lichume ngokusebenzisa amabhasi abo sikhiphe imali,” usho kanje.

Izolo bekunomhlangano wamakhansela, abanikazi bamabhasi namalungu ekomiti elimele umphakathi kubhungwa ngale ndaba.

Ikhansela laku-ward 91 uMnuz Nkosiphendule Dlamini, lithe benza konke okusemandleni ukuthi bayilungise inkinga yamabhasi ngoba umphakathi uyahlukumezeka ngokungasebenzi kwawo.

UDlamini uthe sekusele kancane bathole isisombululo kulolu daba.

“Lolu wudaba oluzimele, thina njengamakhansela asingeni kakhulu kulo kodwa singenelele ngemuva kokucelwa umphakathi,” kusho uDlamini.

Imenenja yakwa-KZT uMnuz Vikash Maharaj, ithe bahlela ukuyehlisa okwesikhashana imali yokugibela njengoba kusaqhubeka izingxoxo.

Uthe angeke akwazi ukudalula emaphepheni ukuthi imali bazoyehlisa ngamalini, wengeza ngokuthi bazobikela amakhansela kube yiwona azisa abantu.


Kufunwa izihlobo zosana olwalahlwa

$
0
0

AMAPHOYISA aseLadysmith athungatha abazali noma izihlobo zengane eyatholwa ngunogada ePlaza kule ndawo, ifakwe ebhokisini likabhanana ngoDisemba nyakenye.

|||

AMAPHOYISA aseLadysmith athungatha abazali noma izihlobo zengane eyatholwa ngunogada ePlaza kule ndawo, ifakwe ebhokisini likabhanana ngoDisemba nyakenye.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Jay Naicker, uthe le ngane eyayibukeka inezinyanga ezimbili noma ezintathu ngesikhathi itholwa ngunogada, isalokhu ihleli esibhedlela eLadysmith. Abahlengikazi seveze bayiqamba igama athi ingu-James.

UNaicker uthe le ngane yatholwa ngunogada lina izulu ngesikhathi eqaphe ePlaza.

Lo nogada kuthiwa wathola ingane igoqwe ngengubo eyayisimanzi ishiywe ebhokisini likabhanana.

“Unogada wazama ukubheka kule ndawo ukuthi ngeke yini ababone abazali bayo kodwa wangabona muntu. Amaphoyisa abizwa ayithatha ingane ayiyisa esibhedlela,” kusho uNaicker othe le ngane isesimeni esihle esibhedlela kodwa akekho oseke wavela.

Abazali bale ngane bayacelwa ukuthi baziveze, namalungu omphakathi ayanxuswa ukuthi asize kutholakala abazali bakaJames uma kunemininingwane abayaziyo.

Noma ngubani ongasiza amaphoyisa ukuthi kutholakale abazali bale ngane uyacelwa athinte uConstable Michael Lungisani Ntsele weLadysmith Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit ku-036 638 1700 noma ku-082 469 9429.

Angafonela nenamba yamahhala ye-Crime Stop u-08600 10111. – Intatheli yeSolezwe

Asehlukanisiwe amawele abehlangene

$
0
0

NGEMUVA kwezinyanga ezingu-11 kwazalwa amawele akhe, uNksz Bongi Sibuyi ubeqala ukugona izingane zakhe.

|||

VUYO MKIZE

NGEMUVA kwezinyanga ezingu-11 kwazalwa amawele akhe, uNksz Bongi Sibuyi ubeqala ukugona izingane zakhe.

URecall noRecant bazalwa ngoFebhuwari 1 ngonyaka odlule esibhedlela saseMpumalanga iMatikwana, bazalwa behlangene ngezisu nangezitho zangasese.

Ngemuva kwezinsukwana bezelwe, bangeniswa esibhedlela iSteve Biko Academic ukuyonakekelwa nokuyokwelashwa ngongoti.

Ithimba lodokotela abahlinzayo lalinda izinyanga ukuze kukhule kahle izicubu (organs) zamawele, kwathi ngoLwesine olwedlule baqala umsebenzi othathe amahora amathathu wokubahlinzela ukubahlukanisa.

“Kuqale uSolwazi Petrus Coetzee wabasika inkaba kwase kulandela uDkt Marisa de Villiers obahlukanise isinye ebesihlangane,” kuchaza uDkt Ernst Muller oyi-paediatric surgeon, esithangamini sabezindaba ebesisesibhedlela ngeSonto.

Ngemuva kwalokho uDkt Izak van Heerden oyi-paediatric urologist ube esebahlukanisa isitho sangasese.

“Besingazi ukuthi sizokwazi ukubahlukanisa izitho zabo zangasese kodwa uDkt Van Heerden ukwazile. Bekubalulekile ukuthi abafana baqale bakhule ukuze sikwazi ukubahlinza yikhona bezokwazi ukukhula ngendlela. Sijabule kakhulu ukuthi konke kuhambe kahle,” kuqhuba uDkt Muller.

Okwamanje abakabi nayo imbobo yokuzikhulula, basafakelwe izikhwama ezixhunywe ethunjini elikhulu ukuze bazikhulule.

“Sijabule kakhulu ngoba badla kahle futhi sebephumile nasebhodleleni.

Nokho elinye lisanenkinga encane yokuzikhulula kodwa sebezokulungela ukuphuma egunjini labagula kakhulu bangene ewadini,” kusho uMuller.

UNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng, uMnuz Hope Papo, uthe uma amawele esesindile kuzodingeka ukuthi aphinde ahlinzwe isingezansi.

Isikhulu esiphezulu saseSteve Biko Academy, uDkt Ernest Kenoshi, sithe ukuhlinzwa kwala mawele kubalulekile njengoba bese kungokwesibili kuhlinzwa ngempumelelo amawele eminyakeni engu-15 kulesi sibhedlela.

Akukacaci ukuthi la mawele azokhishwa nini esibhedlela.

Ngesonto eledlule kuzalwe amanye amawele ehlangene ngowesifazane oneminyaka engu-23 owaziwa ngelikaPatience, naye ongowaseMpumalanga.

UNeo noReneilwe okungamawele amantombazane bahlangene ngesifuba kanti banikelana ngezinye izicubu zomzimba ezibalulekile.

Odokotela bakhathazekile ngamathuba abo okuphila.

“Ngeshwa bahlangene ngendlela ebucayi kakhulu futhi banikelana ngezicubu eziningi ngaphakathi ngakho akulula ukusheshe bahlukaniswe,” kuchaza uDkt Robin Green oyipaediatric pulmonologist.

“Leli elinye iwele elincane (uNeo) ligula kakhulu futhi linenkinga emaphashini.”

Omele abavukuzi uthi ubufakazi buyagqitshwa

$
0
0

Kuyaphazamisa ukushoda kobufakazi ngalokho okwenzeka ngesikhathi kudutshulwa abavukuzi emayini iLonmin, eMarikana, eNorth West. IKhomishini kaFarlam eqhuba uphenyo eRustenburg itshelwe lokhu izolo womele imindeni yabangu-34 yabashona, u-Advocate Dumisa Ntsebeza.

|||

Kuyaphazamisa ukushoda kobufakazi ngalokho okwenzeka ngesikhathi kudutshulwa abavukuzi emayini iLonmin, eMarikana, eNorth West. IKhomishini kaFarlam eqhuba uphenyo eRustenburg itshelwe lokhu izolo womele imindeni yabangu-34 yabashona, u-Advocate Dumisa Ntsebeza.

uthe uyehluleka wukuthola emaphoyiseni umfanekiso wezithombe ze-video zalokho okwenzeka.

Utshele ungoti kwaPublic Policing, uBrigadier Zephania Mkhwanazi, ukuthi umfanekiso kungenzeka ukuthi uyagqitshwa noma sewabulawa.

“Kungenzeka ukuthi yahlakazwa i-video. Angisho ukuthi yahlakazwa nguwena,” kusho uNtsebeza.

UNtsebeza uthe kuyaphazamisa ukungabi khona kwe-video ekhombisa ukuziphatha kwamaphoyisa ngesikhathi sokudubula.

“Ungaqinisekisa ukuthi awubanga yingxenye yethimba elilacubungula i-video yamaphoyisa?” ebuza uMkhwanazi.

Ephendula uMkhwanazi uthe: “Angikaze. Asikaze sibe nayo imihlangano la sasicubungula khona i-video.”

UMkhwanazi uthe ukuba wayeyingxenye yababehlangene becubungula i-video wayeyokwenza iziphakamiso.

Usuku lwayizolo lusongwe uNkk Nokukhanya Jele, weHuman Rights Commission, eseqala ukuphenya uMkhwanazi ngemibuzo.

Lolu phenyo ngokufa kwabantu abangu 44 ababesebenza eLonmin emayini yaseMarikana beluqhubeka eRustenburg Civic Centre izolo. Usihlalo wekhomishini ijaji esalathatha umhlalaphansi ujaji Ian Farlam. – Intatheli yeSolezwe

Abama-ambulensi bahlela ukudunga eye-Afcon

$
0
0

BASABISA ngokuphazamisa imidlalo ye-Africa Cup of Nations eThekwini abasebenzi bama ambulensi kahulumeni uma izikhalo zabo zamaholo namahora okusebenza zingalungiswa uNdunankulu wesifundazwe uDkt Zweli Mkhize.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

BASABISA ngokuphazamisa imidlalo ye-Africa Cup of Nations eThekwini abasebenzi bama ambulensi kahulumeni uma izikhalo zabo zamaholo namahora okusebenza zingalungiswa uNdunankulu wesifundazwe uDkt Zweli Mkhize.

Laba basebenzi abangaphansi kophiko i-Emergency Medical Rescue Services (EMRS) izolo bamashele emahhovisi kaNdunankulu, eMgungundlovu babeka umnqamlajuqu wezinsuku eziyisikhombisa ukuba baphendulwe, ngaphandle kwalokho bazokwenza iTheku lingalawuleki.

Kuzodlalwa imidlalo eyisithupha ye-Afcon enkundleni iMoses Mabhida, eThekwini. Abasebenzi bakhale ngomyalelo woMnyango wezeMpilo wokuba abanye abangu-58 bebuyisele emuva imali engu-R37 660 abayiholelwa ngephutha. Isolezwe linayo incwadi ebhalelwe omunye umsebenzi imyalela ukuba abuyisele le mali eMnyangweni.

Abasebenzi baphinde bakhala nangokungaholelwa imali yokwenza umsebenzi oyingozi, nokungayitholi imali yokusebenza amahora angeziwe.

Okunye abathe akubaphethe kahle ukusebenza amahora angu-173 esikhundleni sika-160.

UMnuz Sifiso Dlamini osamisiwe emsebenzini obedlulisela izikhalo zabo, ukubeke kwacaca ukuthi uma bengalandeleli kwabakhala ngakho, abasebenzi be-EMRS eThekwini nabo bazoba nemashi enkulu ezophaza-misa izinhlelo ze-Afcon.

Kuthintwa ophethe izindaba zokuhlelwa kwe-Afcon uMnuz Vusi Mazibuko, uthe uMnyango wezeMpilo ubaluleke kakhulu kulo mqhudelwano ngoba uyingxenye yokuhlelwa kwe-Afcon.

Le mashi obekuqhuma kuyo inhlamba ebibhekiswe ezikhulwini zoMnyango wezeMpilo iphazamise nokuhamba kwezimoto emgwaqeni omkhulu eMgungundlovu.

Izikhalo zabasebenzi zithathwe nguMnuz Vivani Made osebenza ehhovisi likaNdunankulu nothwale kanzima ngesikhathi abasebenzi bezwakalisa ulaka lwabo befuna izikhulu ezithize ziphume zizothatha izikhalo.

UZille uhoxe ohlelweni lwephephandaba

$
0
0

UMBIKO wephephandaba langeSonto, iCity Press, mayelana nohlelo lwephephandaba lansukuzonke iThe New Age lapho kusuke kumenywe khona osopolitiki abadumile esidlweni sasekuseni bezophonswa ngemibuzo bephumela eshashalazini, usuholele ekutheni umholi we-DA, uNkk Helen Zille, ahoxe ekubeni yingxenye yalo.

|||

UMBIKO wephephandaba langeSonto, iCity Press, mayelana nohlelo lwephephandaba lansukuzonke iThe New Age lapho kusuke kumenywe khona osopolitiki abadumile esidlweni sasekuseni bezophonswa ngemibuzo bephumela eshashalazini, usuholele ekutheni umholi we-DA, uNkk Helen Zille, ahoxe ekubeni yingxenye yalo.

Bese kuzoba ngokwesibili uZille ephumela eshashalazini kulolu hlelo olubizwa nge-New Age Business Breakfast.

UZille uthi uhoxe emuva kokuthola ukuthi uhlelo lonke lusuke luxhaswe ngemali kahulumeni.

“Mina nabanye abaholi abaphezulu be-DA sesike sakhuluma kwi-New Age Business Breakfasts, ngoba sizitshela ukuthi uhlelo lusuke luxhaswe yiphephandaba namalungu omphakathi asuke ethenge amathikithi okuba yingxenye yalo,” kusho uZille esitatimendeni.

Uthi njengoba sekune-mibiko yokuthi lusuke luxhaswe ngemali kahulumeni kusetshenziswa izinkampani ezingaphansi kukahulumeni ngezigidi zemali, ngeke besaqhubeka nokuba yingxenye yalo.

ICity Press ibike ukuthi kunezinkampani ezinkulu ezingaphansi kukahulumeni ezifaka izigidi zemali kulesi sidlo sasekuseni esisuke sibizwe wumndeni womacaphuna kusale wakwaGupta.

Ngokombiko weCity Press, uTransnet ukhokhe u-R17.5 million ngezinhlelo ezingu-18 zalesi sidlo, kwathi u-Eskom wakhokha R7.2 million ngokuxhasa izinhlelo ezifanayo eziyisithupha phakathi kukaNovemba 2011 nonyaka odlule. Kuthiwa noTelkom waxhasa ngo-R12 million. I-SABC kuthiwa ayibakhokhisi lutho abeNew Age ngokusakaza bukhona lolu hlelo ku-SABC2.

UZille uthe izolo ubhalele umhleli weThe New Age, uMnuz Moegsien Williams emazisa ngesinqumo sakhe.

Isikhulu esiphezulu kwiThe New Age, uNazeem Howa, izolo siphendule umbiko weCity Press ekhasini lokuqala kwiThe New Age sithi ukugxekwa kwabo yileli phephandaba kwenzeke ngesikhathi besajabulela izithelo zeminyaka emibili baqala ukushicilela iphephandaba labo.

“Izinhloso zethu zisobala futhi zisezithebeni zomphakathi sizoba inkampani enkulu yamaphephendaba futhi sizobaphonsela inselelo nalabo ababika izinto ezingezinhle ngenkululeko yethu,” kusho uHowa.

Uthe ukugxekwa kwabo kusazoqhubeka njengoba nabo beqhubeka nokukhula.

Kuboshwe 5 bekokotele amamaki

$
0
0

KUBOSHWE abantu abahlanu emuva kokuthi bezame ukukokotela amamaki ezitifiketini zabo zikaMatric ukuze bakwazi ukuthola izikhala zokufunda eMangosuthu University of Technology (MUT), eMlazi.

|||

BAWINILE NGCOBO

KUBOSHWE abantu abahlanu emuva kokuthi bezame ukukokotela amamaki ezitifiketini zabo zikaMatric ukuze bakwazi ukuthola izikhala zokufunda eMangosuthu University of Technology (MUT), eMlazi.

Laba basolwa okuthiwa abathathu kubo bebezofuna izikhala, ababili kubo bebeshintsha amamaki, baboshwe ngoLwesihlanu kuso lesi sikhungo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uthe amaphoyisa avule icala lokukhwabanisa.

Uthe kuboshwe abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-25 no-26.

Abathathu kulaba ababoshiwe obekushintshwa izitifiketi zabo kuthiwa bathi amadoda amathathu abengaphakathi eMangosuthu abathembise ukuthi azoshintsha imiphumela yabo kaMatric ukuze bakwazi ukungena kule nyuvesi benze izifundo abebethanda ukuzenza yize imiphumela yabo yangempela ka-Matric ikhombisa ukuthi abakufanele ukungena kule mikhakha.

Laba bathi la madoda athe bazokhokha imali abangayidalulanga bese beshintshelwa amamaki.

Kuthiwa abasolwa abebeshintsha amamaki bebekwenza lokhu kwi-laptop. Oyedwa kubo ugcine ebalekile.

UMnuz Bheki Hlophe okhulumela iMangosuthu uthe uphiko lwabo lwezokuphepha lwabikelwa ngeqeqebane elalibizela eceleni abafundi ukuze libasize bashintshe imiphumela yabo khona bezothathwa kulesi sikhungo.

Kuthiwa leli qeqebana belishintsha imininingwane ezitifiketini ezisuke zifike nabafundi ukuze bakwazi ukwenza izifundo zeMarketing.

Emuva kokubanjwa kwabasolwa kube sekubizwa amaphoyisa akwa-SAPS, bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela.

UHlophe uthe lesi bekuyisigameko sokuqala sabantu abenza lo mkhuba kulesi sikhungo.

“Sinabafundi abaningi abakulesi sikhungo ababhekelela ukuthi akukho ukukhwabanisa okwenzekayo ngesikhathi sokubhalisa. Nabophiko lwezokuPhepha luyabaqwashisa abafundi ngalo mkhuba,” kusho uHlophe.

Uthe labo bafundi amamaki abo angahlangani kahle ukuthi bakwazi ukufunda eMUT kumele baqale bagcwalise amamaki ngokwenza ama-pre-courses noma baye kuma-FET.

Abasolwa bavele kafushane enkantolo yaseMlazi ngecala lokukhwabanisa izolo.

Icala labo lihlehliselwe uJanuwari 29 nonyaka.

Indida ngezidumbu zabesifazane e-Edendale

$
0
0

KUSEYINDINDA ukutholakala kwezidumbu ezimbili zabesifazane lapho kulahlwa khona udoti |e-Edendale eMgungundlovu ngempelasonto.

|||

NONTUTHUKO NGUBANE

KUSEYINDINDA ukutholakala kwezidumbu ezimbili zabesifazane lapho kulahlwa khona udoti e-Edendale eMgungundlovu ngempelasonto.

Laba besifazane ababili abalinganiselwa eminyakeni engu-25 no-30 batholwe ngunogada obevela emsebenzini ngesikhathi edlula kule ndawo benqunywe uqhoqhoqho wabe esebiza amaphoyisa.

Amaphoyisa afice izidumbu ziqhelelene okushiya imibuzo ngokuthi babulewe kule ndawo yini noma babulewe base bezolahlwa kuyo.

Okhulumela amaphoyisa, uLt Joel Jeevan, uthe kusaphenywa ukuthi laba badlwenguliwe yini ngaphambi kokubulawa.

Ngokusho kwamaphoyisa omunye wesifazane mncane ngomzimba, unebala elikhanyayo, ubefakele nezinwele ezinde ezixhunyiwe nejini eluhlaza, ishethi elinsundu nezicathulo ezivulekile ezimnyama. Owesibili ukhuluphele, naye ubefake izinwele ezixhunyiwe. Ubefake ingubo enezimbali engafakanga zicathulo.

Ngokuthola kweSolezwe, le ndawo kudlula abantu abaningi kuyo abasuke bephuma edolobheli eMgungundlovu beya emalokishini aseduze eMbali, Ashdown naseCaluza. Le ndawo isetshenziswa yizigilamkhuba ukubamba inkunzi.

Amaphoyisa ase-Alexandra Road aphenya leli cala afisa ongaba nolwazi athinte uWarrant officer Bheki Langa ku-033 845 7724 noma 078 712 4199.


UZuma ugonyuluke ngokungena eNdlunkulu

$
0
0

UMnuz Jacob Zuma uthi bekunzima ukuzihlanganisa neSilo ngenxa yokuthi bebengavunyelwa ukusondela kuso.

|||

CELANI SIKHAKHANE

UMENGAMELI we-ANC uMnuz Jacob Zuma uthi bekunzima ukuzihlanganisa neSilo ngenxa yokuthi bebengavunyelwa ukusondela kuso ekubeni siyiNkosi yabo bonke abantu.

UZuma ukusho lokhu encoma uMnuz Mahawukela “TJ” Mthethwa ongusomabhizinisi oqavile KwaZulu-Natal ngeqhaza abanalo ngesikhathi esasebenza njengohlaka lweSilo samabandla nalapho azikhandla khona ekhankasela i-ANC eNdlunkulu kaZulu.

UZuma ukusho lokhu ekhuluma enkonzweni yomngcwabo wesishoshovu se-ANC kwaMaphumulo iNkosi Ndabakayipheli Khuzwayo.

“Phambilini sasithwele kanzima singavunyelwa ukusondela eduze kweNkosi yethu. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi sayibona lento ukuthi ayihambi kahle ngoba iNkosi yethu yayithi uma iyokhuluma nabantu singavunyelwa ukusondela kuleyo ndawo. Lokhu kwakwenza sizibuze ukuthi kungathi iSilo kungesethu sonke kodwa sivinjwa naseNdlunkulu singangeni sima esangweni neSilo sigqokiswa izinto ongazazi senziwa iqembu elithile. Ngakho kwaze kwasiza ukuba singenise ngomunye wezethenjwa zaso owayesisebenzela, uMthethwa siba nemihlangano ebusuku kwagcina kuphumelela, sawufaka kanjalo u-ANC eNdlunkulu,” kusho uZuma.

Uthe yayibuhlungu into eyayenzeka ngoba iSilo sasenziwa umuntu weqembu elithile lezombusazwe bona bengavunyelwa nanokuthi basondele lapho esisuke sikhuluma khona nabantu baso.

Uthe ngisho eNdlunkulu babegcina ngokumela kude bengasondeli ngoba kwakungavumelekile kodwa kwasebenza amaqhinga bangenisa ngezisebenzi zaso ezazibahlelela imihlangano engumshoshaphansi yasebusuku.

“Kunezikhathi lapho okwakuthi uma ngiseThekwini nginyenye ngiye kwaNongoma kodwa abantu bangibone sengathi ngivuka eThekwini ekubeni kade ngihlangene noMthethwa kwaNongoma,” kusho uZuma.

UZuma uthe ngezinye zezinto abayozibhala uma sebeshicilela izincwadi ngesikhathi esizayo kodwa okwamanje basematasa nomsebenzi isikhathi sokubhala asikabibikho.

UMthethwa uke waba uSihlalo wosomabhizinisi esifundazweni ngaphambi kokuthi aqashelwe ukuyoba uhlaka lweSilo samabandla .

Okhulumela iNdlunkulu uMntwana uMbonisi, uthe iSilo kuyaziwa ukuthi singaphezu kwepolitiki kodwa abaNtwana banelungelo lokuzihlanganisa nanoma iyiphi inhlangano.

Ubesho nokuthi sisebenzisana nanoma imuphi uhulumeni.

Uthe kunoMntwana uMcwayizeni obeyilungu le-ANC futhi wangcwatshwa eyiyona.

Badidekile ngengane ‘eminzile’

$
0
0

Usadunguza ebumnyameni umndeni womfana oneminyaka engu-12 osekuphele izinsuku eziyisikhombisa edukile okusolwa ukuthi waminza emfuleni oseduzane nakubo ngemuva kokuvukwa isifo sokuwa aphila naso.

|||

NOKUBONGWA PHENYANE

USADUNGUZA ebumnyameni umndeni womfana oneminyaka engu-12 osekuphele izinsuku eziyisikhombisa edukile okusolwa ukuthi waminza emfuleni oseduzane nakubo ngemuva kokuvukwa isifo sokuwa aphila naso.

ULindani Dlamini owahamba nabangani bakhe beyobhukuda emfuleni uGobhogobho, eNtuzuma, ushiye umndeni wakhe ukhungathekile njengoba kungekho owambona engena emanzini kodwa konke bakuzwa ngabanye abafana ayehamba nabo.

Lo mfana oyiwele bekulindeleke ukuthi ayofunda uGrade 5 eMuziwabantu Primary School. Ngokuthola kweSolezwe kuthiwa wahamba nezinye izingane beyobhukuda nokwathi sebebuyela emakhaya yena watshela ayehamba nabo ukuthi akakadeli ukubhukuda usazobuyela yedwa emfuleni.

Uma echaza unina walo mfana uNksz Dudu Dlamini uthi uLindani bekungeyena umuntu ongamshiya yedwa ngenxa yokugula kwakhe futhi ubedla namaphilisi abawalanda njalo esibhedlela iKing Edward.

“Ngavuka ekuseni ngahamba ngaya edolobheni. Ngayizolo ngangimthethisile ngoba ngangizwe kuthiwa bahamba baya kobhukuda, lapho wakhombisa ukuzwa kodwa ngenxa yokushisa kwelanga ngicabanga ukuthi babuyela njengoba la enhla komfula kukhona indawo abadlala kuyo ibhola,” kusho uNksz Dlamini.

Uthe ngesikhathi ebuya edolobheni akanakanga kodwa wabona ilanga lishona engaqhamuki wagcina embuza komakhelwane nabo bamlandula.

“Ngavuka ngaya ezinganeni ezazinaye zangitshela ukuthi uthe uzohamba ayobhukuda yedwa sisola ukuthi wavukwa wukugula esemanzini waminza,” kuchaza uNksz Dlamini.

Uqhube wathi sebeze bahamba kubantu abahlolayo befuna ukwazi ukuthi ngempela kwenzekani ngendodana yakhe, nabo babatshela ukuthi isemanzini.

Uthe okubakhathaza kakhulu ukuthi bahamba bayobika emaphoyiseni asebenza ngezinja kodwa awangenza lutho agcina ngokubuka umfula ahamba.

Nabatshuzi uthe nabo sebeke bafika kule ndawo kodwa abangazixaka ngokungena emanzini bagcina ngokubatshela ukuthi bazophinde babuye.

Uma uhamba kulo mfula kumele uqaphele njengoba unezinguzunga zamatshe, futhi uma uya la kubhukudwa khona kumele ungene emanzini ahamba ngesivinini esikhulu.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker uthe lokhu okushiwo umndeni ukuthi amaphoyisa awafikanga kuleya ndawo kuliphutha njengoba eseqalile ngophenyo futhi nayizolo ebesaqhubeka nokuthungatha lo mfana.

Kwenzeka lesi sigameko nje umndeni wentombazane yaseMandeni osekunamasonto amabili yamuka nomfula uMzinyathi usenethemba lokuthi uzoyithola njengoba uvuka njalo unikele kulo mfula ukuyobheka ithambo layo.

Kumiswe izinhlelo zaseZamdela

$
0
0

Ukuhlanganiswa kukaMasipala waseMetsimaholo nowaseNgwathe eFree State kumisiwe ngemuva kokuba kungenelele uNgqongqoshe kazwelonke wezokuBusa ngokuBambisana uMnuz Richard Baloyi izolo.

|||

INTATHELI YESOLEZWE

UKUHLANGANISWA kukaMasipala waseMetsimaholo nowaseNgwathe eFree State kumisiwe ngemuva kokuba kungenelele uNgqongqoshe kazwelonke wezokuBusa ngokuBambisana uMnuz Richard Baloyi izolo.

Besisashubile isimo eSasol-burg elokishini iZamdela, izolo kulandela ukuqubuka kodla-me kwalinyazwa nezitolo izakhamizi ziphikisana nesiphakamiso sokuhlanganiswa kwalabo masipala.

Izolo kuphinde kwashiswa izitolo nemoto naphezu kokuthunyelwa kwamaphoyisa abeqaphe isimo. Imibhikisho efuze lena isike yaba khona nakwabanye omasipala njengowaseMatatiele, Khutsong, Bushbuckridge naseSiyathemba, eMpumalanga.

“Sengiqoke ithimba elizobhekana nalolu daba,” kusho uBaloyi ekhuluma nabomsakazo waseZamdela.

Uthe yilabo bebhodi eliklama imingcele ababephakamise ukuthi bahlanganiswe labo masipala. “Sithathe isinqumo sokuthi sikumise lokhu,” kusho uBaloyi.

NgoMsombuluko izakhamizi zakule ndawo ebezibhikisha zishise amathayi zavala imigwaqo. Abanikazi bezitolo bakhale kakhulu ngokulinyalelwa impahla yabo.

Izolo umphakathi obusabonakala ukuthi ugcwele intukuthelo, uhlanganyele enkundleni yezemidlalo iMoses Kotane, eZamdela lapho bekuzokhuluma khona abaholi bomphakathi.

Izolo bese kuthunyelwe inqwaba yamaphoyisa kule ndawo ngenhloso yokunqanda udlame kodwa bekubonakala isimo silokhu siphuma esandleni ngenxa yokuthi ababhikishi bebengawashayi mkhuba amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa eZamdela uConstable Peter Kareli, uthe isimo basiqaphe ngelokhozi noma zike zaba khona izigameko zokujikijelwa kwezimoto zamaphoyisa ngamatshe. Kuboshwe abangu-187 kusukela ngeSonto ngokudala udlame emphakathini.

USihlalo weSasolburg Chamber of Commerce uMnuz Jacques Stoltz uchaze lesi simo njengesinzima wathi yishwa elihlasele leli dolobha.

Kuzophoqwa iziboshwa ngemfundo ka-ABET

$
0
0

Kusukela kulo nyaka sekuzoba yinto ephoqiwe ukuthi uma uboshiwe ungafikanga kwa-Grade 9, wenze izifundo ze-Adult Basic Education and Training, ukuze kube khona ophuma ejele ukwazi ukuziphilisa ngakho.

|||

BAWINILE NGCOBO

KUSUKELA kulo nyaka sekuzoba yinto ephoqiwe ukuthi uma uboshiwe ungafikanga kwa-Grade 9, wenze izifundo ze-Adult Basic Education and Training (ABET), ukuze kube khona ophuma ejele ukwazi ukuziphilisa ngakho.

Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe woMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnuz Sbusiso Ndebele, izolo ngesikhathi evula isikhungo esisha sokufunda ejele laseWestville, i-Usethubeni Youth School.

UNdebele uthe balwela ukuthi amajele aphenduke izindawo zokufunda.

“Sekuzophela ukuthi umuntu uma esejele, adle, alale kodwa umuntu usezobhekana nezincwadi,” kusho uNdebele.

Uthe bafuna ukuthi iziboshwa zifunde, zifundele imisebenzi zisebenze.

“Inhloso yokuhlumelelisa isimilo wukuthi sihlomise iziboshwa ngamakhono ezizokwazi ukuziphilisa ngawo uma ziphuma nokuthi zikwazi ukuthi kube khona ezikwenzayo ngesikhathi zisengaphakathi. Sifuna zikwazi ukuzinakekela zona ngaphambi kokunakekela imindeni yazo,” kusho uNdebele.

Isikole i-Usethubeni yisona okuphume kuso umfundi obashaye bonke abasemajele akuleli ngemiphumela, uMnuz Chris Mazibuko waseMlazi othole o-A abahlanu.

UMazibuko ekhuluma egameni lozakwabo abefunda nabo uthe ubonga othisha babo abebenza okweqile kunomsebenzi wabo, abebengabazali kubo.

Ubonge nabo bonke ababasekayo ngayo yonke indlela nababakhombisa uthando.

Uthe isikole sabo sishoda ngothisha ogcwele weMaths wacela nakunoma ubani ongabasiza ngezinsiza zokufunda nangezimali zokuqhuba izifundo ukuthi babalekelele.

UKhomishana wamaJele kuleli, uMnuz Tom Moyane, ethe uzosiza ngokufundisa iMaths.

UMnuz Simphiwe Mngoma we-National Application Centre ufeze amaphupho kaMazibuko nabanye abathathu abasezithendeni zakhe ngamamaki ngesikhathi ememezela ukuthi bathole umfundaze ozokhokhela izifundo zabo, indawo yokuhlala, izincwadi, ukudla nanoma yini abayidingayo yesikole eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.

Laba bafundi, bazophinde banikwe ama-laptop ngamunye ukuze baqhube kahle izifundo zabo.

Abe-CAO nabe-National Youth Development Agency banike abafundi base-Youth Centre izikibha ezimhlophe abazozigqoka uma beya esikoleni ukuze bangafundi ngomfaniswano wasejele.

Unina kaMazibuko, uNkk Layekile Mazibuko, uthe kuphenduleke imikhuleko yakhe njengoba indodana yakhe izoqhubeka nezifundo zayo.

Uthe wayeyikhuthaza ukuthi ikhuleke.

“Ngibonga uNkulunkulu, ezinganeni zami ezine uyena osekukhanya kuye. Ngifisa aqhubeke angithengele umuzi nemoto. Igama lami namuhla lishintshile ngiwuJabu,” kusho uNkk Mazibuko.

Bathelwe baphuziswa i-acid ‘abawuhlupho’

$
0
0

Kubonwa ngokusa kumabhungu amabili aseMlazi abhunyelwe nge-acid emzimbeni aphinde aphuziswa wona ase etitinywa kanzima ngamalungu omphakathi ngoMsombuluko ngoba esolwa ngokweba nokuhlupha endaweni.

|||

SIMPHIWE NDWANDWE

KUBONWA ngokusa kumabhungu amabili aseMlazi abhunyelwe nge-acid emzimbeni aphinde aphuziswa wona ase etitinywa kanzima ngamalungu omphakathi ngoMsombuluko ngoba esolwa ngokweba nokuhlupha endaweni.

Isigameko senzeke esigceme-ni sakwa-U kuleli lokishi emini kwabha ngesikhathi amalungu omphakathi abethukuthele eveva ehlasela lama bhungu ngoba ebasola ngokuba ngoma-shiya kukhalwa kuleya ndawo.

Imindeni yabashayiwe ayikaze ikufihle ukuthi bebehlupha ngisho emakubo njengoba okukhulunywe nabo bethe laba bebetshontsha izinto emakubo bayozidayisa ukuze bathole imali yokuthenga iwunga.

Abashayiwe ngoMnuz Njabulo Mwandla (20) noMnuz Ngcebo Dube (21) kanti omunye wabo akaziwa ukuthi ungubani ngoba ugcine ephunyuke wabaleka ngesikhathi ehlaselwa ngamalungu omphakathi.

Isolezwe ngesikhathi likhuluma nonina kaNjabulo, uNksz Zanele Mwandla, uthe kumzwise ubuhlungu okwenziwe enganeni yakhe ngoba bekufanele uma isolwa ngokuthi yebile kubikwe kuye noma emaphoyiseni kunokuba kube nemizamo yokuyibulala.

“Ubhuti wakwamakhelwane okunguye odale ukuthi ingane ishaywe uthe umbone egqoke amabhuzu akhe ngesikhathi esebenza engadini lapho ebebambe khona itoho.

“Ube eseshaywa eboshwe izandla ngemuva waphinde waphuziswa i-acid edlavaze izingubo abezigqokile. Usengaze umntanami afele amabhuzu into ebesingazama ukuthi siyithenge uma ubhuti ebefuna kwenzeke lokho,” kusho uNksz Mwandla.

Uthe uyedwa umuntu owake wazobika kuye mayelana nobu-gebengu obenziwa yindodana yakhe eyayisolwa ngokweba umbhede iyowudayisa ukuze ithenge iwunga. UNjabulo wayeka isikole efunda u-Grade 10 eKumhlophe High khona eMlazi. Ngesikhathi ehlaselwa ubese tohweni lapho ebesiza khona umakhelwane ngezitshalo.

Ngakolunye uhlangothi uNgcebo yena ulandwe eMalukazi lapho ebesehlala khona kuhanjwa ngojenga lwezimoto wafika washaywa wayesephonswa ebhuthini kwahanjwa naye kwayiwa kwa-U.

Lapho-ke ufike wathelwa ngayo i-acid saqhubeka sasha isibhaxu kwaze kwalamula indoda engujele yakulesi sigceme ebalamulele olakeni lwabahlaseli.

Udadewabo kaNgcebo, uNksz Zethu Dube, uthe ubengasahlali ekhaya umfowabo ngoba ebalekela khona ukuthi abantu bayamfuna ngenxa yokusolwa ngokweba. Uthe nakubo ubefika athathe lokho akufunayo ayokudayisa ngoba efuna ukuthenga iwunga. Uthe umfowabo ulimale ekhanda, washa ubuso futhi unezibazi ezibucayi emzimbeni.

Okunye okuvelelile ngesikhathi Isolezwe lihambele kule ndawo ukuthi baningi asebesha-yiwe ngoba besolwa ngokugqekeza nokweba ukuze bathole imali yokuthenga iwunga.

UColonel Jay Naicker wehhovisi lezokuxhumanisa emaphoyiseni, ukugcwalisile ukuthi isiteshi samaphoyisa saseMlazi siphenya ngecala lokuzama ukubulala, kulandela ukuhlaselwa kwala mabhungu.

Viewing all 5089 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>